Isandulelo

Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe. Yingakho ngingamangali uma bonke laba abangamazi uNkulunkulu benezinkolelo ezididayo. Abantu abakuthathi njengokubalulekile ukukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso ngoba ukukholelwa kuNkulunkulu akujwayelekile, kusha ngokuphelele kubo. Ngale ndlela, abakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zikaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uma abantu bengamazi uNkulunkulu, bengawazi umsebenzi Wakhe, abakulungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokugcwalisa okufiswa uNkulunkulu. “Ukukholwa kuNkulunkulu” kusho ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu; le yiyona ndlela elula yokuqonda ukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akufani nokukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; kunalokho, kuwukholo olulula olukhomba ukuqina ngokwenkolo. Ukukholwa kweqiniso kuNkulunkulu kusho ukubona amazwi nemisebenzi kaNkulunkulu ngokukholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto. Ngakho-ke uzokhululeka esimweni senkohlakalo, ugcwalise okufiswa nguNkulunkulu, ufinyelele ekumazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho kungathiwa ukholelwa kuNkulunkulu. Nokho abantu babona ukukholelwa kuNkulunkulu njengodaba olulula nolungabalulekile. Abantu abakholwa kuNkulunkulu ngale ndlela sebelahlekelwe ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu, futhi nakuba bengaqhubeka bakholwe kuze kube sekugcineni, ngeke bazuze ukwamukelwa nguNkulunkulu ngoba bahamba endleleni okungeyona. Namuhla, kusekhona labo abakholelwa kuNkulunkulu ezincwadini, ezimfundisweni ezifile. Abazi ukuthi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu akunasisindo, nokuthi abakwazi ukwamukelwa uNkulunkulu, nokuthi basathandazela ukuthula nomusa owanele bona ovela kuNkulunkulu. Kumele sime sizibuze ukuthi: Ingabe ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu kuyinto elula emhlabeni? Ingabe ukukholelwa kuNkulunkulu akusho lutho ngaphandle kokuthola umusa kuNkulunkulu? Ingabe abantu abakholelwa kuNkulunkulu kube yibo abangamazi, nabakholelwa kuNkulunkulu kodwa bemphikisa, bangakugcwalisa okufiswa uNkulunkulu?

Akunakuthiwa uNkulunkulu nomuntu bayalingana. Ubuyena nomsebenzi Wakhe kungaphezulu kokuqonda kwabantu. Uma uNkulunkulu engawenzi Yena uqobo umsebenzi Wakhe akhulume amazwi Akhe emhlabeni wabantu, kusho ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuyiqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho-ke, nalabo abanikele impilo yabo yonke kuNkulunkulu ngeke bakwazi ukuzuza ukwamukelwa Nguye. Ngaphandle komsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe umuntu wenza kahle kanjani, ngeke kusho lutho lokho, ngoba imicabango kaNkulunkulu iyohlale ingaphezulu kwemicabango yomuntu, kanti nokuhlakanipha kukaNkulunkulu akuqondakali kumuntu. Ngalokho-ke ngithi labo “ababona ngokucacile” uNkulunkulu nomsebenzi Wakhe abanalo iqiniso, bayaqhosha futhi abanalwazi. Abantu akumele bachaze umsebenzi kaNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, abantu abakwazi ukuchaza umsebenzi kaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, umuntu mncane ngisho kunentuthwane, ngakho umuntu angawuqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Labo abaphikelelayo bethi, “uNkulunkulu akasebenzi ngale ndlela noma ngaleya ndlela” noma “uNkulunkulu ufana nalokhu noma lokhuya”—ingabe bonke abaqhoshi? Sonke kumele sazi ukuthi abantu abayinyama, bonke uSathane ubenze bakhohlakala. Kungokwemvelo kubo ukuphikisana noNkulunkulu, futhi abalingani noNkulunkulu, ingasaphathwa eyokunikeza iseluleko ngomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuthi uNkulunkulu umhola kanjani umuntu kungumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu kumele bazithobe, futhi akumele babe nombono othile, ngoba umuntu uwuthuli. Njengoba sizama ukufuna uNkulunkulu ngeke sikwazi ukufaka ukuqonda kwethu emsebenzini kaNkulunkulu ukuze uNkulunkulu akubheke, kanjalo akumele sisebenzise isimo sethu esikhohlakele sizame ukuphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso. Ingabe lokho ngeke kusenze abaphikikrestu? Abantu abanjalo bangasho kanjani ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu? Njengoba sikholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, futhi njengoba sifisa ukumanelisa nokumbona, kumele sifune indlela yeqiniso, futhi sibheke indlela yokuvumelana noNkulunkulu. Akumele sibe ontamo-lukhuni siphikisane noNkulunkulu; yini enhle engavela ngokwenza kanjalo?

Namuhla, uNkulunkulu unomsebenzi omusha. Kungenzeka ungawamukeli la mazwi, angezwakala engavamisile kuwe, kodwa ngineluleka ukuba ningavezi ubunina bemvelo, ngoba yilabo abalambele nabomele ukulunga phambi kukaNkulunkulu abangathola iqiniso, futhi yilabo kuphela abazinikele ngeqiniso abangase bakhanyiselwe futhi baqondiswe Nguye. Imiphumela itholakala ngokufuna ngokuthula okunokuzotha, hhayi ngokulwa nokuncintisana. Uma ngithi “namuhla, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha,” ngibhekise odabeni lokubuyela kukaNkulunkulu enyameni. Mhlawumbe awunandaba nala mazwi, kungenzeka uyawazonda, noma unentshisekelo ngawo. Noma ngabe yikuphi, ngithemba ukuthi bonke laba abafisa ukuvela kukaNkulunkulu bangabhekana naleli qiniso balicabangisise. Kungcono ukungajahi ukufinyelela eziphethweni. Lena yindlela abantu abahlakaniphile okumele benze ngayo.

Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu. Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayisho isiqu; ngaphezu kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu awusoze uhambisane nokuqonda kwabantu. Ingabe ukubonakala kukaJesu ngaphandle akuzange kushayisane nokuqonda kwabantu? Ingabe ukubonakala Kwakhe kwangaphandle nendlela yokugqoka akuzange kuhluleke ukunika abantu izinkomba zokuthi ungubani Yena ngokweqiniso? Ingabe kwakungesona isizathu sokuthi abaFarisi bokuqala bamphikisa uJesu ngenxa yokuthi bebebuka ingaphandle Lakhe, bangawanaka amazwi ayewakhuluma? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu bangakuphindi lokhu okwenzeke emlandweni. Akumele nibe ngabaFarisi besikhathi samanje niphinde nibethele uNkulunkulu esiphambanweni futhi. Kumele niyibhekisise indlela enizokwamukela ngayo uNkulunkulu lapho ebuya, nibe nomqondo ocacile ngokuthi ningaba kanjani ngabantu abathobela iqiniso. Lokhu kungumthwalo wawo wonke umuntu olinde ukubuya kukaJesu ngamafu. Kumele sicikice amehlo ethu kamoya, singabi yizisulu zamazwi angelona iqiniso. Kumele sicabange ngomsebenzi owenziwa uNkulunkulu, futhi sibheke uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu. Ningajabuli kakhulu noma nilibale ukuphupha emini, nibheke usuku uNkulunkulu uJesu azokwehla ngalo ngefu anithathe nina eningakaze nimazi noma nimbone, ningazi nokuthi niyenze kanjani intando Yakhe. Kungcono ukucabanga ngezinto ezizokwenzeka!

Kungenzeka ukuthi uvule le ncwadi ngoba ufuna ukucwaninga, noma ngenhloso yokwamukela; noma ngabe yikuphi, ngethemba ukuthi uzoyifunda uze ufike ekugcineni, futhi ngeke uyibeke eceleni kalula nje. Hleze ngemva kokufunda la mazwi, indlela obona ngayo izoguquka, kodwa lokhu kuncike ekukhuthazekeni kwakho nasezingeni lokuqonda kwakho. Kukhona into eyodwa kodwa okumele uyazi: Izwi likaNkulunkulu ngeke likhulunywe njengezwi lomuntu, kanjalo futhi izwi lomuntu ngeke likhulunywe njengezwi likaNkulunkulu. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu akayena uNkulunkulu osenyameni, kanti futhi uNkulunkulu osenyameni akayena umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu; kulokho, kukhona umehluko esiqwini. Mhlawumbe, ngemva kokufunda la mazwi, ngeke uwamukele njengamazwi kaNkulunkulu, kodwa uzowamukela kuphela njengamazwi omuntu okhanyiselwe. Uma kunjalo, ukungazi kukuvale amehlo. Amazwi kaNkulunkulu angafana kanjani namazwi omuntu okhanyiselwe? Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu. UNkulunkulu unesiqu sikaNkulunkulu, kanti umuntu unesiqu somuntu. Uma umuntu ethatha amazwi akhulunywe nguNkulunkulu njengokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, bese ethatha amazwi akhulunywe ngabaphostoli nabaphrofethi njengamazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uma kunjalo umuntu uyaphambuka. Ngale kwalokho, akumele wenze okulungile kube okungalungile, noma ukhulume ngento ephakeme njengento ephansi, noma ukhulume ngento ejulile njengento engajulile; ngale kwalokho, akumele uphike ngabomu lokhu okwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Bonke abakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona kumele babheke le nkinga ngokubona kahle, futhi bamukele umsebenzi kaNkulunkulu omusha namazwi Akhe amasha ngokohlangothi lwesidalwa Sakhe; kungenjalo, bazosuswa nguNkulunkulu.

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. Isigaba ngasinye esisha somsebenzi kaNkulunkulu sihlala siletha ukuqala okusha nenkathi entsha. Ngakho-ke kanjalo kukhona ushintsho oluhambisanayo esimweni sikaNkulunkulu, endleleni Yakhe yokusebenza, endaweni yomsebenzi Wakhe, nasegameni Lakhe. Singama ngale ngokuthi kungani kunzima kumuntu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu enkathini entsha. Ngale kokuthi uphikiswa kanjani abantu, uNkulunkulu uhlale enza umsebenzi Wakhe, futhi uhlale eqondisa bonke abantu ebayisa phambili. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Uma abantu begcina eNkathini Yomusa, kusho ukuthi ngeke bakhululeke esimweni sabo senkohlakalo, angiyiphathi eyokwazi isimo sikaNkulunkulu ngokwendalo Yakhe. Uma abantu benale nala yomusa kodwa bengenayo indlela yokuphila ebenza bazi uNkulunkulu futhi banelise uNkulunkulu, lokho kusho ukuthi ngeke bamzuze Yena yize bekholelwa Kuye. Lolo uhlobo lokukholwa oludabukisayo. Uma usuqedile ukufunda le ncwadi, uma usuzibonile zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu osenyameni eNkathini Yombuso, uzozwa ukuthi amathemba eminyaka eminingi aseyabonakala. Uzozwa ukuthi kumanje kuphela lapho osubone khona uNkulunkulu ubuso nobuso; kumanje kuphela lapho ubheke khona ubuso bukaNkulunkulu, uzwe ukukhuluma kukaNkulunkulu, uthokozele ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, uzwe ngempela ukuthi unguNkulunkulu oyiqiniso futhi umninimandla onke. Nizozwa ukuthi senizuze izinto eziningi abantu benkathi edlule abangazange bakubona noma baba nakho. Ngalesi sikhathi, nizokwazi kahle ukuthi kuyini ukukholelwa kuNkulunkulu, nokuthi kuyini ukufuna inhliziyo kaNkulunkulu. Yebo, uma ninamathela emibonweni yakudala, nichithe noma niphike iqiniso likaNkulunkulu wenyama wesibili, kusho ukuthi nizosala ningenalutho ningatholanga lutho, ekugcineni nibe necala lokuphikisa uNkulunkulu. Labo abahlonipha iqiniso bazithobe emsebenzini kaNkulunkulu bazongena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu osenyameni okwesibili–uSomandla. Bazokwazi ukwamukela ukuholwa nguNkulunkulu, futhi bazothola okuningi neqiniso eliphakeme bathole nokuphila okuyiqiniso kwabantu. Bazobona umbono ongakaze ubonwe ngabantu bakudala: “Ngase ngiphenduka ngiqalaza leliphimbo elalikhuluma nami. Futhi lapho ngiphenduka, ngase ngibona izinduku zamakhandlela zegolide eziyisikhombisa; Futhi phakathi kwezinduku zamakhandlela ayisikhombisa kunofana neNdodana yomuntu, ombethe ingubo efinyelela ezinyaweni, futhi ebophe isifuba ngebhade legolide. Ikhanda Lakhe nezinwele Zakhe zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo Akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo Zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo Lakhe linjengamanzi amaningi. Futhi ephethe ngakwesokudla izinkanyezi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni Wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: nobuso Bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga” (IsAmbulo 1:12-16). Lo mbono ubonakalisa isimo esiphelele sikaNkulunkulu, kanti futhi umbono onjengalona wesimo Sakhe esiphelele ubonakalisa umsebenzi kaNkulunkulu uma eba yinyama ngalesi sikhathi. Ezikhukhuleni zokujezisa nokwahlulela, iNdodana yomuntu ibonakalisa isimo Sayo semvelo ngokukhuluma amazwi, ukuze bonke abemukela ukusola nokwahlulela Kwakhe babone ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ubuso obuyisibonakaliso esiyiqiniso sobuso beNdodana yomuntu obabonwa nguJohane. (Yebo, konke lokhu ngeke kubonakale kulabo abangawemukeli umsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.) Ubuso beqiniso bukaNkulunkulu ngeke buchazeke kahle ngamagama omuntu, ngakho-ke uNkulunkulu usebenzisa ukubonakalisa isimo Sakhe semvelo ukukhombisa abantu ubuso Bakhe beqiniso. Okungukuthi bonke labo ababone isimo semvelo seNdodana yomuntu babubonile ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ngoba uNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ngeke achazeke ngamagama abantu. Uma abantu sebesibonile isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso, bayobe sebeyazi incazelo eyiqiniso yamazwi uJohane awakhuluma eNdodaneni yomuntu phakathi kwezibani: “Ikhanda Lakhe nezinwele Zakhe zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo Akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo Zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo Lakhe linjengamanzi amaningi. Futhi ephethe ngakwesokudla izinkanyezi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni Wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: nobuso Bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga.” Ngaleso sikhathi, nizokwazi ngaphandle kokungabaza ukuthi le nyama ejwayelekile ekhulume amazwi amaningi kangaka ngempela inguNkulunkulu osenyameni okwesibili. Futhi nizokwazi ukuthi nibusiseke kangakanani, nizizwe ninenhlanhla enkulu. Ngeke nifise ukwamukela lesi sibusiso?

Kuvela encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okulandelayo: Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp