Ukwenza (7)

Ubuntu benu busilele kakhulu, indlela yenu yokuphila iphansi futhi iyihlazo kakhulu, aninabuntu, futhi aninalo ulwazi. Kungakho nidinga ukuhloma ngezinto zobuntu obuvamile. Ukuba nonembeza, umqondo, nolwazi; ukwazi indlela yokukhuluma nokubuka izinto; ukunaka inhlanzeko; ukwenza izinto njengomuntu ovamile—konke lokhu kuyizinto ezikhombisa ukwazi ubuntu obuvamile. Lapho niziphatha ngokufanele kulezi zinto, nithathwa njengabanezinga lobuntu elamukelekile. Kufanele futhi nihlomele ukuphila ngokukamoya. Kufanele niwazi wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu emhlabeni futhi nibe nolwazi ngamazwi Akhe. Kufanele wazi indlela yokulalela amalungiselelo Akhe nendlela yokufeza umsebenzi womuntu odaliwe. Lezi yizingxenye ezimbili zalokho okufanele ungene kukho namuhla—ukuhlomela ukuphila kobuntu, nokwenza okuzokulungiselela impilo yokomoya. Lokhu kokubili akunakugwemeka.

Abanye abantu bayahlekisa: Bazi ukuzihlinzeka ngezimpawu zobuntu kuphela. Akutholakali phutha ekubukekeni kwabo; izinto abazishoyo nendlela abakhuluma ngayo kufanelekile, nokugqoka kwabo kuhloniphekile futhi kulungile. Kodwa akukho lutho ngaphakathi kubo; babonakala nje ngaphandle benobuntu obuvamile. Kukhona abanye abagxila kuphela kokufanele bakudle, okufanele bakugqoke, nokufanele bakusho. Kukhona nalabo abagxila kuphela ezintweni ezifana nokushanela phansi, ukulungisa umbhede, nokuhlanzeka okujwayelekile. Bangase benze kahle kuzo zonke lezi zinto, kodwa uma ungabacela ukuba bakhulume ngolwazi lwabo mayelana nomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, noma ngokushaywa nokwahlulelwa, noma ukuvivinywa nokucwengisiswa, bangase bangakhombisi ngisho nokuncane ukwazi. Ungabuza uthi: “Uyawuqonda yini umsebenzi osemqoka kaNkulunkulu emhlabeni? Wehluke kanjani umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni emsebenzini kaJesu? Emsebenzini kaJehova-ke? BanguNkulunkulu oyedwa na? Ingabe uNkulunkulu ufikele ukuzophetha le nkathi, noma ukusindisa isintu?” Kodwa abantu abanjalo abanakho abangakusho ngalezi zindaba. Abanye bagqoka kahle, kodwa ngokungenasithunzi: Abesifazane bazihlobisa kahle njengezimbali, abesilisa bona bagqoka njengamakhosana noma amagcokama amasha acebileyo. Banaka kuphela izinto ezingaphandle, njengezinto abazidlayo nabazigqokayo; ngaphakathi, bayantula futhi abamazi nakancane uNkulunkulu. Uphi umqondo kulokhu? Kukhona futhi nabanye abagqoka njengezinxibi ezihluphekayo—babukeka njengezigqila zaseMpumalanga Asia ngempela! Anikuqondi ngempela engikucela kini? Xoxani ngalokhu: Yini eniyizuzile ngempela? Senikholwe kuNkulunkulu yonke le minyaka, kodwa nivune lokhu kuphela—anizizwa niphoxekile? Aninamahloni? Benifuna indlela eyiqiniso yonke le minyaka, kodwa nanamuhla isiqu senu sisengaphansi ngisho kwesespero! Bukani izintombi lapha phakathi kwenu, ningophuma langa sikothe ezingutsheni zenu nokuziphophotha kwenu, niyaqhathanisana—empeleni niqhathanisani? Injabulo yenu? Izimfuno zenu? Nicabanga ukuthi ngizele ukuzoqasha abakhangisi? Aninamahloni! Kuphi ukuphila kwenu? Ingabe lokhu enikufunayo akuzona izifiso zenu ezingaphezu kwenikudingayo? Ucabanga ukuthi umuhle kakhulu, kodwa nakuba ugqoke uconsa, eqinisweni awuyona nje impethu eshobashobayo, ezalelwe engqumbini yobulongwe? Namuhla, unenhlanhla yokuthokozela lezi zibusiso zasezulwini, hhayi ngenxa yobuso bakho obuhle, kodwa ngoba uNkulunkulu wenza isihe ngokukuphakamisa. Ingabe akukakucaceli ukuthi usuka kuphi? Lapho kukhulunywa ngokuphila, uvala umlomo wakho ungasho lutho, ube yisimungulu njengesithombe, nokho usenesibindi sokuswenka! Usathanda ukuziphophotha! Bhekani futhi oswenka phakathi kwenu, amagcokama enza akuthandayo achitha usuku lonke ethilileka, edlokovula, enobuso obunganaki lutho. Ingabe umuntu kufanele aziphathe kanje? Yini phakathi kwenu, madoda noma abesifazane, eniyinaka usuku lonke? Niyazi yini ukuthi nithembele kubani ukuze nizondle? Bheka izingubo zakho, bheka okuvunile ezandleni zakho, phulula isisu sakho—yini oyizuzile ngokuzikhandla kanzima kuyo yonke le minyaka yokukholwa? Usacabanga ukuphuma ubuke izwe, usacabanga ukuhlobisa inyama yakho enukayo—izinto ezingasho lutho! Ucelwa ukuthi ube ngumuntu onobuntu obuvamile, kodwa awugcini nje ngokuba umuntu ongavamile, uyaphambuka. Umuntu onjalo angasithathaphi isibindi sokuza phambi Kwami? Uma unobuntu obunjengalobu, ubukisa ngobuhle bakho futhi ugabisa ngenyama yakho, uphila enkanukweni yenyama—ngabe awuyona inzalo yamadimoni angcolile nemimoya emibi? Ngeke ngivumele amadimoni angcole kanjalo ukuthi aphile isikhathi eside! Futhi ungacabangi ukuthi angikwazi okucabangayo enhliziyweni yakho. Ungayibamba inkanuko nenyama yakho, kodwa kungenzeka kanjani ukuthi ngingayazi imicabango oyivalele enhliziyweni yakho? Kungenzeka kanjani ukuthi ngingakwazi okufiswa ngamehlo akho? Ingabe nina zintombi anizilungisi nibe bahle kangaka ukuze nibukise ngenyama yenu? Abaluleke ngani amadoda kinina? Anganisindisa ngempela olwandle lwenhlupheko? Nina-ke magcokama aphakathi kwenu, nonke nigqokela ukuba nibonakale nihloniphekile futhi nibalulekile, kodwa ingabe lokhu akulona icebo enilenzela ukuba kunakwe ukubukeka kwenu okuhle kakhulu? Nikwenzela bani lokhu? Babaluleke ngani abesifazane kinina? Abawona yini umsuka wesono senu? Madoda nabesifazane, sengisho amazwi amaningi kini, kodwa nisahambisane nambalwa kakhulu kuwo. Izindlebe zenu azizwa kahle, amehlo enu afiphele, nezinhliziyo zenu ziqine kangangokuthi akukho okukhona emizimbeni yenu ngaphandle kwenkanuko, kangangokuthi nibanjwe yiyo, anikwazi ukuphunyuka. Ngubani ofuna ukusondela kinina zimpethu, nina enishobashobeka ekungcoleni nasensileni? Ningakhohlwa ukuthi akukho eniyikho ngaphezu kokuba yilabo engibakhiphe engqumbini yobulongwe, ukuthi naningenabo ubuntu obuvamile ekuqaleni. Engikucela kinina ukuba nibe nobuntu obuvamile ebeningenabo ekuqaleni, hhayi ukuba nibukise ngenkanuko yenu noma nidedele inyama yenu enukayo yenze umathanda, inyama eqeqeshwe ngudeveli iminyaka eminingi kakhulu. Lapho nigqoka kanje, anesabi yini ukuthi niyohileleka ngokujule ngokwengeziwe? Anazi yini ukuthi naningabesono kwasekuqaleni? Anazi yini ukuthi imizimba yenu igcwele inkanuko kakhulu kangangokuba inkanuko ize iphumele ngaphandle kwezingubo zenu, iveze izimo zenu njengamadimoni amabi futhi angcole ngokungabekezeleleki? Akulona yini iqiniso ukuthi lokhu nikwazi ngokucace kunabo bonke abanye abantu? Izinhliziyo zenu, amehlo enu, izindebe zenu—ingabe konke akungcolisiwe amadimoni angcolile? Ngabe lezi zingxenye zakho azingcolile? Ucabanga ukuthi uma nje ungenzi lutho, kusho ukuthi ungcwele kakhulu? Ucabanga ukuthi ukugqoka izingubo ezinhle kungafihla imiphefumulo yenu engcolile? Lokho ngeke kusebenze! Ngineluleka ukuba nikubuke ngokuyikho: ningabi nokukhohlisa nokuzenzisa, futhi ningazigabisi. Nigabiselana ngenkanuko yenu, kodwa konke enizokuthola njengembuyiselo ukuhlupheka okungapheli nokushaywa okungenasihawu! Sikuphi isidingo sokuba niqwayizelane amehlo futhi nizitike ngokuthandana? Ngabe lokhu kukhombisa izinga lobuqotho benu, iqophelo lokulunga kwenu? Ngiyabenyanya labo phakathi kwenu abasebenzisa amakhambi amabi nobuthakathi; ngiyazenyanya izintombi nezinsizwa phakathi kwenu ezithanda inyama yazo. Kungcono nizithibe, ngoba manje kudingeka ukuba nibe nobuntu obuvamile, futhi anivunyelwe ukubukisa ngenkanuko yenu—kodwa nisebenzisa lonke ithuba enilitholayo, ngoba inyama yenu iningi ngokwedlulele, nenkanuko yenu inkulu ngokwedlulele!

Uma kubukwa ngaphandle, ukuphila kwakho kobuntu kuhleleke kahle, kodwa akukho ongakusho lapho ucelwa ukuba ukhulume ngolwazi lwakho ngokuphila; futhi kulokhu weswele. Kufanele uhlome ngeqiniso! Impilo yakho yobuntu isiguquke yaba ngcono, futhi-ke nokuphila okuphakathi kuwe kufanele kuguquke; guqula imicabango yakho, guqula imibono yakho mayelana nokukholwa kuNkulunkulu, guqula ulwazi olumayelana noNkulunkulu olusemibonweni yakho. Guqula kancane kancane ukuzazi kwakho, ukwazi ngokuphila komuntu, nokukholwa kuNkulunkulu ngokuthi uvume kubhekanwe nawe, ngezambulo nokusekelwa; yenza ukuqonda kwakho kuhlanzeke. Ngale ndlela, imicabango engaphakathi kumuntu iyaguquka, indlela abona ngayo izinto iyaguquka, nesimo somqondo wakhe siyaguquka. Yilokhu kuphela okungabizwa ngoguquko esimweni sokuphila. Akucelwa ukuthi uchithe wonke amahora osuku ufunda amazwi kaNkulunkulu, noma uhlanza izingubo futhi uhlanza indlu. Impilo yobuntu obuvamile kufanele okungenani ibekezeleleke ngokwemvelo. Ngaphezu kwalokho, lapho ubhekene nezindaba zangaphandle, kufanele ukwazi ukusebenzisa ulwazi nokucabanga; kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi uhlome ngeqiniso lokuphila. Lapho uhlomela ukuphila, kufanele ugxile ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu, kufanele ukwazi ukukhuluma ngokwazi uNkulunkulu, ngemibono yakho ngokuphila komuntu, ikakhulukazi, nolwazi lwakho ngomsebenzi owenziwe uNkulunkulu ngezinsuku zokugcina. Ngenxa yokuthi ufuna ukuphila, kufanele uhlome ngalezi zinto. Lapho udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, kufanele usebenzise wona ukulinganisa ubunjalo besimo sakho. Okusho ukuthi, lapho uthola ukuthi usilele kulokho ohlangana nakho ngempela, kufanele ukwazi ukuthola indlela yokuphila, yokufulathela imibono nemicabango yakho engalungile. Uma uhlala ulwela ukuthola lezi zinto futhi uzinikela ngokuphelele ekuzitholeni, uyoba nayo-ke indlela oyoyilandela, ngeke uzizwe ungenalutho, futhi kanjalo uyokwazi ukuhlala usesimweni esivamile. Yilapho-ke oyoba khona ngumuntu okwazi ukubhekana nomthwalo wokuphila kwakhe, umuntu onokholo. Kwenziwa yini ukuthi abanye abantu, emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, bangakwazi ukuwasebenzisa? Akwenziwa yini ukuthi abakwazi ukuqonda izinto ezibaluleke kakhulu? Akwenziwa yini ukuthi impilo bayithatha kancane? Isizathu esenza bangazibambi izinto ezibalulekile futhi bangabi nendlela yokuphila ukuthi lapho befunda amazwi kaNkulunkulu, abakwazi ukwenza izimo zabo zihambisane nawo, futhi abakwazi ukuqonda izimo zabo. Abanye abantu bathi: “Ngiyawafunda amazwi kaNkulunkulu futhi ngiqhathanise isimo sami nawo, futhi ngiyazi ukuthi ngikhohlakele futhi nginezinga eliphansi, kodwa angikwazi ukwanelisa intando kaNkulunkulu.” Usabone okungaphandle kuphela; ziningi izinto zangempela ongazazi: indlela yokulahla injabulo yenyama, indlela yokulahla ukuzibona ulungile, indlela yokuziguqula, indlela yokungena kulezi zinto, indlela yokwenza ngcono izinga lakho, nokwazi ukuthi kufanele uqale ngayiphi ingxenye. Uqonda kuphela izinto ezimbalwa ezingaphezulu, futhi wazi kuphela ukuthi impela ukhohlakele kakhulu. Uma uhlangana nabazalwane bakho, ukhuluma ngokuthi ukhohlakele kangakanani, futhi kubonakala sengathi uyazazi futhi uwuthwele umthwalo wokuphila kwakho. Eqinisweni, isimo sakho esikhohlakele asiguqukile, okufakazela ukuthi awukayitholi indlela yokuphila. Uma uhola ibandla, kufanele ukwazi ukuqonda izimo zabazalwane bese uzikhomba. Kunganela yini ukuthi nje: “Nina bantu anilaleli futhi nisilele!”? Cha, kufanele ukhulume ngokuqondile ukuthi ukungalaleli nokusilela kwabo kubonakala kanjani. Kufanele ukhulume ngezimo zabo zokungalaleli, ukuziphatha kwabo ngokungalaleli, nezimo zabo zobusathane, futhi kufanele ukhulume ngalezi zinto ngendlela yokuthi bakholwe ngokuphelele yiqiniso lamazwi akho. Sebenzisa amaqiniso nezibonelo ukuqinisa amaphuzu akho, futhi uyisho ngokuqondile indlela abangaphunyuka ngayo ekuziphatheni kwabo okunokuhlubuka, bese ukhomba indlela okufanele baphila ngayo—yilena indlela yokwenza abantu bakholwe. Yilabo abenza kanjalo kuphela abakwaziyo ukuhola abanye; yibona kuphela abaneqiniso langempela.

Manje seninikezwe amaqiniso amaningi ngokuhlanganyela, futhi kufanele niwabale. Kufanele ukwazi ukunquma ukuthi mangaki amaqiniso uma esewonke. Uma sewazi futhi usukwazi ukuzihlukanisela phakathi kwezingxenye eziningi zobuntu obuvamile umuntu okufanele nabo, izingxenye eziphambili zezinguquko esimweni sokuphila komuntu, ukujula kwemibono, nezindlela eziyiphutha zokwazi nokuzwa esezisetshenziswe abantu iminyaka eminingi—uyobe ususendleleni elungile. Abantu benkolo bakhonza iBhayibheli sengathi liwuNkulunkulu; ikakhulu, bathatha amaVangeli Amane eThestamente Elisha sengathi awubuso obune obungefani bukaJesu, futhi bakhuluma ngoZiqu Zintathu onguBaba, iNdodana noMoya oNgcwele. Konke lokhe kuhlekisa kakhulu, futhi kufanele nilazi iqiniso ngakho; ngaphezu kwalokho, kufanele nazi ngengqkithi kaNkulunkulu osenyameni nomsebenzi wezinsuku zokugcina. Zikhona futhi lezo zindlela ezindala zokwenza, lezo zinkolo ezingewona amaqiniso kanye nokuphambuka endleleni yokwenza—ukuphila emoyeni, ukugcwaliswa nguMoya oNgcwele, ukwamukela noma yini, ukuthobela amagunya—lokho kufanele nikwazi; kufanele nazi ukuthi abantu bebenza kanjani esikhathini esedlule, nendlela abantu okufanele benze ngayo namuhla. Mayelana nendlela abaholi nezisebenzi okufanele babambisane ngayo emabandleni; indlela yokuyeka ukuzazi ukuthi ulungile nokubukela abanye phansi; indlela abazalwane okufanele bahlalisane ngayo; indlela yokwakha ubudlelwane obuvamile nabanye abantu kanye noNkulunkulu; indlela yokwenza ukuphila kwesintu kube nesimo esivamile; lokho okufanele abantu babe nakho ekuphileni kwabo komoya; indlela yokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu; ukuthi yimaphi amazwi kaNkulunkulu aphathelene nolwazi, amayelana nemibono, nokuthi yimaphi kuwo aphathelene nendlela yokwenza—akukhulunyiwe ngakho konke lokhu? La mazwi ayatholakala kulabo abafuna iqiniso, futhi akukho muntu ophathwa ngokwenzelelwa. Namuhla, kufanele nikhulise ikhono lokuphila ngokuzimela, hhayi ukuthembela emqondweni wokuncika kwabanye. Esikhathini esizayo, lapho kungekho muntu onganiqondisa, uyocabanga ngala mazwi Ami. Ezikhathini zenhlupheko, lapho impilo yebandla ingaphileki, lapho abazalwane bengakwazi ukuhlangana, iningi labo lihlala ngalodwa, okungenani bekwazi ukuxhumana nabantu abasezindaweni eziseduze kuphela, kungalezi zikhathi lapho ningeke nikwazi nhlobo ukuma niqine ngenxa yesimo senu samanje. Phakathi kwezinhlupheko, abaningi bakuthola kunzima ukuma baqine. Yilabo kuphela abazi indlela yokuphila futhi abahlome ngeqiniso elanele abakwazi ukuqhubeka baye phambili bese beya ngokuya bethola ukuhlanzwa nokuguquka. Ukwehlelwa yizinhlupheko akuyona into elula; uma ucabanga ukuthi uyobe sewedlulile kuzo ezinsukwini ezimbalwa, lokho-ke kukhombisa ukuthi ucabanga kancane kakhulu! Ucabanga ukuthi ngokuqonda imfundiso eningi, uzokwazi ukuma uqine, kodwa akunjalo! Uma ungaziboni izinto ezibalulekile emazwini kaNkulunkulu, ungakwazi ukubamba amaphuzu eqiniso abalulekile, futhi ungenandlela owenza ngayo, khona-ke lapho kufika isikhathi bese kwenzeka into kuwe, uyodideka. Ngeke ukwazi ukumelana nesilingo sikaSathane, noma ukuqala kokucwengisiswa. Uma lingekho iqiniso kuwe futhi ungenayo imibono, khona-ke lapho kufika isikhathi, ngeke ukwazi ukugwema ukuwa. Uyolahla lonke ithemba bese uthi. “Yebo, uma ngivele ngizokufa, angivele ngishaywe kuze kube sekugcineni! Ngisho kungaba ukushaywa noma ukuphonswa echibini lomlilo, akube njalo—ngiyokwamukela lokho okuyokwenzeka!” Lokhu kunjengoba kwakunjalo ngesikhathi sabenzi bomsebenzi: Abanye abantu babekholwa ukuthi babengabenzi bomsebenzi noma kungenzekani, ngakho babengasakuphishekeli ukuphila. Babebhema futhi bephuza, bezitika ngokwenyama yabo, futhi benza umathanda. Abanye babevele baphindele ezweni bayosebenza. Isimo esiphilisa kanzima sinjalo naso; uma ungakwazi ukusinqoba, njengalapho uxegisa ukuzithiba ngisho kancane, uzolishiya lonke ithemba. Uma ungakwazi ukunqoba ithonya likaSathane, uyothunjwa nguSathane ungazelele bese uphonswa ekubhujisweni. Ngakho, namuhla kufanele uhlome ngeqiniso; kufanele ukwazi ukuphila ngokuzimela; futhi, lapho ufunda amazwi kaNkulunkulu, kufanele ukwazi ukufuna indlela yokuphila. Uma kungekho baholi noma izisebenzi ezingakunisela futhi zikweluse, kufanele ulokhu ukwazi ukuthola indlela ozoyilandela, uthole ukusilela kwakho, uthole amaqiniso okufanele uhlome ngawo futhi uphile ngawo. Bekungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu ahlale ehamba nomuntu emva kokufika emhlabeni? Ngokwemibono yabo, abanye abantu bakholwa ukuthi: “Nkulunkulu, uma ungasebenzi kithi kuze kufike ezingeni elithile, kusho ukuthi umsebenzi Wakho ngeke uthathwe njengoqediwe, ngoba uSathane uyakumangalela.” Ngiyakutshela, lapho sengiqedile ukukhuluma amazwi Ami, kulapho umsebenzi Wami uyobe usuqedwe ngempumelelo khona. Uma ngingasenalutho olunye engizolusho, umsebenzi Wami uyobe usuphelile. Isiphetho somsebenzi Wami siyoba ubufakazi bokwehlulwa kukaSathane, futhi uma sekunjalo, kungashiwo ukuthi usufezwe ngempumelelo, ngaphandle kwezimangalo ezivela kuSathane. Kodwa uma kungakabi noguquko kini lapho umsebenzi Wami usuqediwe, khona-ke abantu abanjengani abanakusindiswa futhi bayosuswa. Ngeke ngenze omunye umsebenzi ongaphezu kwalowo odingekile. Ngeke ngiqhubeke nomsebenzi Wami emhlabeni nize ninqotshwe ngeqophelo elithile, futhi nonke nize nibe nolwazi olucacile ngazo zonke izingxenye zeqiniso, nezinga lenu lize libe ngcono futhi ninikeze ubufakazi ngaphakathi nangaphandle. Lokho ngeke kwenzeke! Namuhla, umsebenzi engiwenzayo kini uqonde ukuniholela ekuphileni kobuntu obuvamile; ngumsebenzi wokungenisa inkathi entsha nokuholela isintu ekuphileni kwenkathi entsha. Isinyathelo ngesinyanthelo, lo msebenzi wenziwa futhi ukhuliswe kinina ngokuqondile: Nginifundisa ubuso nobuso; nginihola ngesandla; nginitshela konke eningakuqondi, ngininika konke enikusweleyo. Kungashiwo ukuthi, ngokwenu, wonke lo msebenzi uwumphako wenu wokuphila, futhi uniqondisa ekuphileni kobuntu obuvamile; uqondiswe ekuthini unondlele ukuphila kwaleli qembu labantu ngezinsuku zokugcina. Ngokwami, wonke lo msebenzi wenzelwe ukuthi uphethe inkathi endala bese ungenisa entsha; mayelana noSathane, ngibe yinyama ukuze ngimnqobe kuphela. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu manje ngowokunisimamisa namuhla nokunisindisa kusenesikhathi, kodwa kule minyaka embalwa emifushane, ngizonitshela wonke amaqiniso, yonke indlela yokuphila, ngisho nangomsebenzi wesikhathi esizayo; lokhu kuyokwanela ukunenza nibone izinto ngendlela evamile esikhathini esizayo. Konke engininike khona amazwi Ami kuphela. Anginxusi lutho olunye; namuhla, onke amazwi engiwakhuluma kini awokuninxusa, ngoba namuhla aninalwazi ngamazwi amaningi engiwakhulumayo, futhi aniyiqondi incazelo yawo efihlakele. Ngelinye ilanga, enihlangana nakho kuyoba nempumelelo njengoba nje ngishilo namuhla. La mazwi ayimibono yenu yanamuhla, futhi ayilokho eniyoncika kukho esikhathini esizayo; ayisondlo sokuphila namuhla nokunxusela isikhathi esizayo, futhi akukho ukunxusa okungcono kunalokhu. Lokhu kungenxa yokuthi isikhathi okufanele ngisisebenze emhlabeni asiside njengesikhathi eninaso sokuhlangana namazwi Ami; ngiqeda umsebenzi Wami nje, kanti nina niphishekela ukuphila, okuyinqubo efaka uhambo olude ekuphileni. Niyokwazi ukuzuza indlela yokuphila kuphela emva kokuhlangana nezinto eziningi; kungaleyo nkathi lapho niyokwazi khona ukuqonda incazelo efihlakele yamazwi engiwakhuluma namuhla. Lapho seniphethe amazwi Ami, lapho lowo nalowo kini esamukele umsebenzi engimthuma wona, lapho senginithume wonke umsebenzi okufanele nginithume wona, nalapho umsebenzi wamazwi usufinyelele ekugcineni, kungakhathaleki ukuthi kutholakale umphumela omkhulu kangakanani, khona-ke ukwenziwa kwentando kaNkulunkulu nakho kuyobe sekufezekile. Akunjengokuba ucabanga, ukuthi kufanele uguqulwe ngezinga elithile; uNkulunkulu akenzi ngokwemibono yakho.

Abantu abakutholi ukukhula ekuphileni kwabo ngezinsuku ezimbalwa nje. Ngisho bangadla futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu nsukuzonke, lokho akwaneli. Kufanele babe nesikhathi sokukhula ekuphileni kwabo. Lokhu kuyinqubo edingekile. Ngokwezinga labantu namuhla, yini abangayifeza? UNkulunkulu usebenza ngokwezidingo zabantu, afune izinto kubo ngokuhambisana nezinga labo lemvelo. Ake sithi lo msebenzi bewenziwa phakathi kweqembu labantu bezinga eliphezulu: Amazwi akhulunywayo ebeyophakama kunalawo akhulunywa kini, imibono ibiyophakama ngokwengeziwe, namaqiniso ebeyophakama kakhulu. Amanye amazwi ebeyoqina ngokwengeziwe, akwazi ngokwengeziwe ukuhlinzekela ukuphila kwabantu, akwazi ngokwengeziwe ukwembula izimfihlakalo. Lapho ekhuluma phakathi kwabantu abanjalo, uNkulunkulu ubeyobahlinzeka ngokwezidingo zabo. Lokho akufuna kini namuhla kungathiwa kunzima kakhulu; ukuba lo msebenzi bewenziwa phakathi kwabantu bezinga eliphezulu ngokwengeziwe, nokufunwayo bekuyoba kukhulu ngokwengeziwe. Wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa uhambisane nezinga labantu lemvelo. Iqophelo abantu asebeguqulelwe futhi banqotshelwa kulo namuhla ngeliphezulu kunawo wonke okungafikwa kuwo; ningasebenzisi imibono yenu ukulinganisa umthelela walesi sigaba somsebenzi. Kufanele nicacelwe ngalokho eninakho ngokwemvelo, futhi akufanele nicabange ukuthi niphezulu kakhulu. Ekuqaleni, akekho kini owayephishekela ukuphila, kodwa beniyizinxibi ezizula emigwaqweni. Ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu anisebenze ngokwezinga elinicabangayo, anenze nonke niwele phansi, nikholwe ngokuphelele, kube sengathi nibone umbono omkhulu! Akunakwenzeka ngoba umuntu ongakaze azibone izimangaliso zikaNkulunkulu ngeke akukholwe ngokugcwele konke engikushoyo. Ngisho seniwahlolisisa amazwi Ami, ngeke niwakholwe ngokuphelele; lokhu kuyimvelo yomuntu. Labo abafuna iqiniso bayoguquka ngezindlela ezithile, kanti ukholo abake baba nalo labo abangafuni iqiniso luyoncipha futhi kuze kwenzeke lushabalale. Into enzima kakhulu ngani ukuthi anikwazi ukukholwa ngokuphelele ngaphandle kokuba senibone ukugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu, futhi aneneliseki uma ningazibonanga izimangaliso Zakhe. Ngaphandle kokubona lezi zinto, ngubani ongathembeka ngokuphelele kuNkulunkulu? Ngakho ngithi lokho enikholwa kukho akuyena uNkulunkulu, kodwa yizimangaliso. Manje sengikhulume ngokucacile ngezingxenye ezehlukene zeqiniso; leyo naleyo iphelele, futhi kunokuxhumana okukhulu phakathi kwazo. Senizibonile, futhi manje sekufanele uzisebenzise. Namuhla ngikukhombisa indlela, futhi esikhathini esizayo, kufanele uyisebenzise mathupha. Amazwi engiwakhuluma manje afuna izinto kubantu ezihambisana nezimo zabo zangempela, futhi ngisebenza ngokuvumelana nezidingo nezinto eziphakathi kubo. UNkulunkulu owenza ngokoqobo uze emhlabeni ezokwenza umsebenzi wokoqobo, ukuzosebenza ngokuvumelana nezimo nezidingo zabantu zangempela. Akasebenzi ngokungenamqondo. Lapho uNkulunkulu enza, akabaphoqi abantu. Ukushada nokungashadi kwakho, ngokwesibonelo, kufanele kuhambisane neqiniso lesimo sakho; iqiniso selikhulunywe ngokucacile kuwe, futhi angikuvimbi. Imindeni yabanye abantu ibacindezelela ekuthini bangakwazi ukukholwa kuNkulunkulu uma bengashadile. Ngale ndlela, umshado, uma sibuka kolunye uhlangothi, uwusizo kubo. Kwabanye, umshado awubasizi ngalutho, kodwa ubenza balahlekelwe yilokho abake banakho. Udaba lwakho kufanele lunqunywe yisimo sakho sangempela nangokuzimisela kwakho. Angizile lapha ukuzoqamba imithetho engifuna ngayo izinto kinina. Abantu abaningi bahlala bememeza bethi, “UNkulunkulu wenza ngokoqobo; umsebenzi Wakhe usekelwe kokwangempela, nakulokho izimo zethu eziyikho”—kodwa uyazi yini ngempela ukuthi kwenziwa yini ukuthi kube ngokuyikho? Yekani amazwi enu angasho lutho! Umsebenzi kaNkulunkulu ungowoqobo futhi usekelwe kokwangempela; awunamfundiso, kodwa umahhala ngokuphelele, wonke usobala futhi awucashisiwe. Yimiphi imininingwane eqondile yalezi zimiso ezimbalwa? Ungasho yini ukuthi yiziphi izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu ezinjalo? Kufanele ukhulume usho imininingwane, kufanele ube nezinhlobo eziningana zobufakazi ngalokho ohlangene nakho, futhi kufanele ikucacele le ngxenye yomsebenzi kaNkulunkulu—kufanele uyazi, futhi kulapho oyothola khona ilungelo lokukhuluma la mazwi. Ungakwazi yini ukuphendula uma umuntu ekubuza ethi, “Yimuphi umsebenzi osewenziwe uNkulunkulu osenyameni emhlabeni ngezinsuku zokugcina? Kungani nimbiza ngoNkulunkulu osebenza ngokoqobo? Kusho ukuthini lapha ukuthi ‘okoqobo’? Ungakhuluma ngomsebenzi Wakhe wokoqobo, ukuthi ufakani phakathi ngokuqondile? UJesu unguNkulunkulu obe yinyama, futhi uNkulunkulu wanamuhla Naye unguNkulunkulu obe yinyama, ngakho uphi umehluko phakathi kwabo? Futhi bafana kuphi? Yimuphi umsebenzi asebewenzile?” Konke lokhu kumayelana nokunika ubufakazi! Akufanele zikudide lezi zinto. Kukhona abanye abathi: “Umsebenzi kaNkulunkulu namuhla ungowangempela. Awukhona neze ukukhombisa izimangaliso nezimanga.” Ingabe ngempela akazenzi izimangaliso nezimanga? Uqinisekile? Uyawazi umsebenzi Wami ukuthi uyini ngempela? Umuntu angathi akazenzi izimangaliso nezimanga, kodwa yonke imisebenzi ayenzayo namazwi awakhulumayo akuzona yini izimangaliso? Umuntu angathi akazenzi izimangaliso nezimanga, kodwa lokhu kuncike endleleni okuchazwa ngayo nokuthi kuqondiswe kubani. Ngaphandle kokuya ebandleni, ubeke obala izimo zabantu, futhi ngaphandle kokwenza umsebenzi, kodwa ngokukhuluma nje kuphela, ugqugquzele abantu ukuthi baye phambili—akuzona izimangaliso lezi? Ngamazwi odwa, unqobe abantu, futhi abantu bayalandela ngaphandle kokubhekela ikusasa noma ukuba namathemba—nakho lokhu akusona yini isimangaliso? Lapho ekhuluma, amazwi Akhe afaka umoya othile kubantu. Uma bengazizwa bejabule khona-ke bazizwa belusizi; uma bengacwengisiswa bayashaywa. Ngamazwi ambalwa nje abukhali, uletha ukushaywa kubantu—ingabe lokhu akukho okungaphezu kwemvelo? Abantu bangayenza into enjalo? Usufunde iBhayibheli yonke le minyaka, kodwa awuqondanga lutho, awuzuzanga lwazi; awukwazanga ukuzehlukanisa nalezo zindlela zokukholwa ezindala, eseziphelelwe yisikhathi. Awunandlela yokuqonda iBhayibheli. Kodwa Yena uliqonda ngokuphelele iBhayibheli—ingabe lokhu akukho ngaphezu kwemvelo? Ukuba kwakungekho lutho olungaphezu kwemvelo ngoNkulunkulu lapho efika emhlabeni, wayengakwazi yini ukuninqoba? Ngaphandle komsebenzi Wakhe ongajwayelekile, onobunkulunkulu, ngubani kinina obengakholwa? Emehlweni enu, kubonakala sengathi ngumuntu ovamile lo ophila nani—ngaphandle, ubonakala ewumuntu ovamile, ojwayelekile; enikubonayo yingaphandle lobuntu obuvamile, kodwa eqinisweni, ubunkulunkulu lobu obusebenzayo. Akubona ubuntu obuvamile, kodwa ubunkulunkulu; nguNkulunkulu uqobo owenza umsebenzi, umsebenzi awenza esebenzisa ubuntu obuvamile. Ngalokhu, umsebenzi Wakhe uvamile futhi ungaphezulu kokuyimvelo. Umsebenzi awenzayo awunakwenziwa umuntu; futhi ngenxa yokuthi awunakwenziwa ngabantu abavamile, wenziwa ngumuntu ongajwayelekile. Kodwa ubunkulunkulu obungajwayelekile, hhayi ubuntu; ubunkulunkulu behlukile ebuntwini. Umuntu osetshenziswa nguMoya oNgcwele naye unobuntu obujwayelekile, obuvamile, kodwa akakwazi ukwenza lo msebenzi. Ulapha umehluko. Ungase uthi: “UNkulunkulu akayena uNkulunkulu ongaphezu kwemvelo; akukho akwenzayo okungaphezu kwemvelo. UNkulunkulu wethu ukhuluma amazwi angokoqobo nawangempela. Uza ebandleni ezokwenza umsebenzi wangempela nowoqobo. Usuku nosuku, ukhuluma nathi ubuso nobuso, futhi ukhomba izimo zethu ubuso nobuso—futhi uNkulunkulu ukhona ngempela! Uphila nathi, futhi konke okuphathelene Naye kuvame ngokuphelele. Akukho ekubukekeni Kwakhe okumehlukanisayo njengoNkulunkulu. Kukhona nezikhathi lapho ethukuthela khona size sibone ubukhulu bolaka Lwakhe, kwesinye isikhathi siyabubona ubuso Bakhe obumamathekayo. UnguNkulunkulu uqobo Lwakhe onomumo nesakhiwo, wenziwe ngenyama negazi, ungowangempela futhi ukhona.” Lapho ufakaza ngale ndlela, wethula ubufakazi obungaphelele. Kuzobasiza ngani abanye? Uma ungakwazi ukufakaza ngemfihlakalo nengqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, khona-ke “ubufakazi” bakho abusho lutho!

Ukufakaza ngoNkulunkulu ikakhulu kuwukukhuluma ngokwazi kwakho umsebenzi kaNkulunkulu, ngendlela uNkulunkulu anqoba ngayo abantu, indlela asindisa ngayo abantu, indlela aguqula ngayo abantu; kuwukukhuluma ngendlela aqondisa ngayo abantu ukuze bangene ebukhoneni beqiniso, ebavumela ukuba banqotshwe, bapheleliswe, futhi basindiswe Nguye. Ukufakaza kusho ukukhuluma ngomsebenzi Wakhe nakho konke osuhlangane nakho. Ngumsebenzi Wakhe kuphela ongammela, futhi ngumsebenzi Wakhe kuphela ongamembula ngokusobala, ngokuphelela Kwakhe; umsebenzi Wakhe ufakaza Ngaye. Umsebenzi namazwi Akhe kumele uMoya ngokuqondile; umsebenzi awenzayo wenziwa uMoya, futhi amazwi awakhulumayo akhulunywa uMoya. Lezi zinto zikhulunywa nje nguNkulunkulu osenyameni, kodwa, empeleni, zingamazwi kaMoya. Wonke umsebenzi awenzayo nawo wonke amazwi awakhulumayo kumele ingqikithi Yakhe. Ukuba, emva kokwembatha inyama nokuza phakathi kwabantu, uNkulunkulu akazange akhulume noma asebenze, wayesenicela ukuba nazi ubukhona Bakhe, ukuvama Kwakhe, nokuba namandla onke Kwakhe, ubuyokwazi nje wena? Ubuyokwazi ukuthi iyini ingqikithi kaMoya? Ubuyozazi izici zenyama Yakhe? Unicela ukuba nimfakazele ngoba senedlule esinyathelweni ngasinye somsebenzi Wakhe. Uma beningenakho okuhlangenwe nakho okunjalo, khona-ke ubengeke aniphoqelele ukuthi nifakaze. Ngalokho, uma ufakazela uNkulunkulu awufakazi kuphela ngengaphandle Lakhe lobuntu obuvamile, kodwa futhi ufakaza ngomsebenzi awenzayo nangendlela ayihambayo; ufakaza ngendlela akunqobe ngayo nangezingxenye opheleliswe kuzo. Yilolu uhlobo lobufakazi okufanele ulwethule. Uma, noma kuphi lapho uhamba khona, umemeza uthi: “UNkulunkulu Wethu ufikele ukuzosebenza, futhi umsebenzi Wakhe ungowoqobo ngempela! Usizuze ngaphandle kokwenza izinto ezingaphezu kwemvelo, ngaphandle kwezimangaliso nezimanga!” Abanye bazobuza bathi: “Usho ukuthini uma uthi akenzi izimangaliso nezimanga? Ubengakunqoba kanjani ngaphandle kokwenza izimangaliso nezimanga?” Wena bese uthi: “Uyakhuluma, futhi, usinqobe ngaphandle kokukhombisa izimanga noma izimangaliso. Umsebenzi Wakhe usinqobile.” Ekugcineni, uma ungakwazi ukusho noma yini enenzuzo, uma ungakwazi ukukhuluma ngemininingwane, ngabe lokhu kuwubufakazi obuyiqiniso? Lapho uNkulunkulu osenyameni enqoba abantu, wenza lokho ngamazwi Akhe anobunkulunkulu. Ubuntu abukwazi ukufeza lokhu, ngoba ubunkulunkulu Bakhe buphakeme kunakho konke okudaliwe. Lokhu kungaphezulu kokujwayelekile kubantu; uMdali, kakade, uphakeme ukwedlula noma yini edaliwe. Izidalwa azikwazi ukuba ngaphezulu koMdali; ukuba ubuphakeme kuNaye, ubengeke akwazi ukukunqoba, futhi angakunqoba kuphela ngoba uphakeme kunawe. Lowo okwazi ukunqoba sonke isintu nguMdali, akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongenza lo msebenzi. La mazwi “awubufakazi”—uhlobo lobufakazi okufanele ubunikeze. Isinyathelo ngesinyathelo, uzwe ukushaywa, ukwahlulelwa, ukucwengisiswa, izivivinyo, izithiyo, nezinhlupheko, wase unqotshwa; uwalahlile amathemba ekusasa lenyama, izinto ezikhuthaza ukwenza kwakho, nobumnandi obuthandwa yinyama. Ngamanye amazwi, amazwi kaNkulunkulu ayinqobe ngokuphelele inhliziyo yakho. Nakuba ukuphila kwakho kungakhulile njengoba efuna kwenzeke, uyazazi zonke lezi zinto futhi uyakukholwa ngokuphelele lokhu akwenzayo. Ngalokho, lokhu kungabizwa ngobufakazi, ubufakazi bangempela futhi obuyiqiniso. Umsebenzi uNkulunkulu azowenza, umsebenzi wokwahlulela nokusola, uhlose ukunqoba umuntu, kodwa futhi uphetha umsebenzi Wakhe, uphetha inkathi, futhi wenza umsebenzi wokuphetha. Uphetha inkathi yonke, esindisa sonke isintu, ekhulula isintu unomphelo esonweni; usizuza ngokugcwele isintu asidalayo. Kufanele ufakaze ngakho konke lokhu. Usubone umsebenzi kaNkulunkulu omningi, uwubone ngamehlo akho futhi wahlangana nawo mathupha; lapho usufike ekugcineni, akufanele ungakwazi ukwenza umsebenzi obhekwe kuwe. Kungaba kubi lokho! Esikhathini esizayo, lapho kusabalaliswa ivangeli, kufanele ukwazi ukukhuluma ngolwazi lwakho, ufakaze ngakho konke okuzuzile enhliziyweni yakho, futhi ungashiyi lutho. Yilokhu okufanele isidalwa sifinyelele kukho. Sibaluleke ngani ngempela lesi sigaba somsebenzi? Uyini umthelela wawo? Futhi ungakanani umsebenzi owenziwa kumuntu? Kufanele benzeni abantu? Lapho senikwazi ukukhuluma ngokucacile ngawo wonke umsebenzi uNkulunkulu osenyameni asewenzile selokhu afika emhlabeni, ubufakazi benu buyophelela. Lapho usukwazi ukukhuluma ngokucacile ngalezi zinto ezinhlanu: ukubaluleka komsebenzi Wakhe; lokho okuqukethwe yiwo; ingqikithi yawo; isimo osimeleyo; nezimiso zawo, lokhu-ke kuyobonisa ukuthi uyakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, ukuthi unalo ngempela ulwazi. Engikufuna kuwe akuphakeme kakhulu, futhi kutholwa yibo bonke labo abafuna ngokweqiniso. Uma uzimisele ukuba ngomunye wofakazi bakaNkulunkulu, kufanele ukuqonde okwenyanywa nokuthandwa uNkulunkulu. Usuhlangene nomsebenzi Wakhe omningi; emsebenzini Wakhe kufanele ufinyelele ekwazini isimo Sakhe, uqonde intando Yakhe nalokho akufuna esintwini, bese usebenzisa lolu lwazi ukumfakazela nokwenza umsebenzi wakho. Ungathi kuphela: “Siyamazi uNkulunkulu. Ukwahlulela nokushaya Kwakhe kunzima kakhulu. Amazwi Akhe aqinile; alungile futhi anobukhosi, futhi akukho muntu ongawedelela,” kodwa ngabe la mazwi ayamondla umuntu ekugcineni? Anamuphi umthelela kubantu? Uyazi ngempela ukuthi lo msebenzi wokwahlulela nokushaya ulusizo kakhulu kuwe? Ukwahlulela nokushaya kukaNkulunkulu kubeka obala ukuvukela nokukhohlakala kwakho, akunjalo? Angahlanza futhi akhiphe lezo zinto ezingcolile phakathi kuwe, akunjalo? Ukuba akukho kwahlulela nokushaya, bekungenzekani kuwe? Uyabona ngempela ukuthi uSathane usekukhohlakalise ngezinga eliphakeme kakhulu? Namuhla, kufanele nihlome ngalezi zinto futhi nizazi kahle.

Ukukholwa kuNkulunkulu namuhla akulona ukholo ongalucabanga—ukuthi kwanele ukufunda amazwi kaNkulunkulu, ukuthandaza, ukucula, ukudansa, ukwenza umsebenzi wakho, nokuphila ubuntu obuvamile. Kungenzeka yini ukuthi ukukholwa kube lula kanjalo? Imiphumela isemqoka. Akusho lutho ukuthi zingaki izindlela zokwenza izinto; kunalokho, okubalulekile yindlela ongathola ngayo imiphumela emihle. Ungakwazi ukuphakamisa amazwi kaNkulunkulu futhi wenabe ngolwazi lwakho oluthile, kodwa lapho uwabeka eceleni, awusali nalutho ongalusho. Lokhu kukhombisa ukuthi wazi ukukhuluma amagama nezimfundiso kuphela kodwa awunalo ulwazi ngohlangene nakho. Namuhla ngeke kwanele uma wehluleka ukubamba lokho okubalulekile—lokhu kubaluleke kakhulu ekungeneni kokuyikho ngempela! Qala ngokuziqeqesha kanje: Okokuqala, funda amazwi kaNkulunkulu; finyelela ekwazini kahle amagama okomoya aphakathi kwawo amazwi; thola imibono esemqoka phakathi kuwo; bona izingxenye ezihambisana nokwenza; hlanganisa zonke lezo zingxenye, ngayinye; ngena kuzo ngokusebenzisa lokho osuhlangane nakho. Lezi yizinto ezibalulekile okufanele uzibambe. Okubaluleke kakhulu ukuba ukwenze lapho udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu yilokhu: Lapho usufunde isahluko samazwi kaNkulunkulu, kufanele ukwazi ukuthola izingxenye ezisemqoka ezimayelana nemibono, futhi kufanele ubuye ukwazi ukuthola izingxenye ezisemqoka eziphathelene nokwenza; sebenzisa imibono njengesisekelo, bese usebenzisa ukwenza njengento ekuqondisayo ekuphileni. Lezi yizinto eniziswele kunazo zonke, futhi ziyinkinga yenu enkulu kakhulu; ezinhliziyweni zenu, anivamile ukuzinaka. Ngokujwayelekile, nonke niphila esimweni sokuvilapha, nokungakhuthaleli lutho, anizimisele ukuzinikela; noma niyalinda nje nibukele, futhi abanye baze bakhononde; abaziqondi izinhloso nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu, futhi kulukhuni kubo ukufuna iqiniso. Abantu abanjalo bazonda iqiniso futhi ekugcineni bayosuswa. Akekho phakathi kwabo ongapheleliswa, futhi akekho ongasinda. Uma abantu bengenakho nokuncane ukuzimisela abangamelana ngakho namandla kaSathane, akukho okuthembisayo ngabo!

Manje, umthelela wokufuna kwenu ulinganiswa ngalokho eninakho njengamanje. Yilokhu okusetshenziselwa ukunquma isiphetho senu; lokho kusho ukuthi isiphetho senu sembulwa eminikelweni eniyenzile nasezintweni enizenzile. Isiphetho senu sizokwambulwa ukufuna kwenu, ukholo lwenu, nalokho enikwenzile. Phakathi kwenu nonke, baningi kwamanje abangeke besasindiseka, ngoba namuhla wusuku lokwambula iziphetho zabantu, futhi ngeke ngidideke emsebenzini Wami; ngeke ngibaholele enkathini elandelayo labo abangeke nhlobo basindiseke. Kuzofika isikhathi lapho umsebenzi Wami uphethwa khona. Ngeke ngisebenze kulezo zidumbu ezinukayo, ezingenamoya ezingakwazi nhlobo ukusindiswa; lezi yizinsuku zokugcina zokusindiswa komuntu, futhi ngeke ngenze umsebenzi ongenalusizo. Ungakhonondi ngeZulu nomhlaba—ukuphela komhlaba kuyeza. Ngeke kugwemeke. Izinto sezifike kuleli qophelo, futhi akukho wena njengomuntu ongakwenza ukuze uzimise; awukwazi ukuguqula izinto ngokufisa kwakho. Izolo, awuzange uzikhandle ukuze uphishekele iqiniso futhi ubungethembekile; namuhla, isikhathi sesifikile, awusasindiseki; futhi kusasa, uyosuswa, futhi ngeke uxegiselwe ukuze usindiswe. Nakuba inhliziyo Yami ithambile futhi ngenza ngakho konke ukukusindisa, uma ungazilweli noma uzicabangele, lokho kuhlangene ngani Nami? Labo abacabangela inyama yabo kuphela futhi abathokozela ukunethezeka; labo ababonakala sengathi bayakholwa kodwa empeleni bengakholwa; labo abasebenzisa imithi yokwenza okubi nabathakathayo; labo abangenazimilo, abamanikiniki nabamahlimbihlimbi; labo abantshontsha iminikelo kaJehova nezimpahla Zakhe; labo abathanda ukugwazelwa; labo abaphupha ngokuvilapha ngokwenyukela ezulwini; labo abazidlayo nabaziqhenyayo, abalwela udumo nomcebo kuphela; labo abasabalalisa amazwi okwedelela; labo abahlambalaza uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abangenzi lutho ngaphandle kokwahlulela futhi banyundele uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abakha amaqenjana bese befuna ukuzimela; labo abaziphakamisa ngaphezu kukaNkulunkulu; abesilisa nabesifazane abasha, abaphakathi nendawo nabadala abathanda izinto ezingenamsebenzi ababambeke ekonakaleni; lawo madoda nabesifazane abathokozela udumo nomcebo futhi abafuna ukugqama phakathi kwabanye; labo bantu abangaphenduki ababambeke esonweni—ngabe bonke, abayibona yini abangasindiseki? Ukonakala, ukuba nezono, imithi yobubi, ubuthakathi, namazwi okwedelela konke kuyadlokovula phakathi kwenu; neqiniso namazwi okuphila ayanyathelwa phakathi kwenu, futhi ulimi olungcwele luyangcoliswa phakathi kwenu. Nina bantu bezizwe, eniqumbile ngenxa yokungcola nokungalaleli! Siyoba yini isiphetho senu? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathanda inyama, abathakatha inyama, nalabo ababambeke esonweni sokonakala babe nesibindi sokuqhubeka baphile! Anazi yini ukuthi abantu abanjengani bayizimpethu ezingenakusindiswa? Yini eninika ilungelo lokufuna lokhu nalokhuya? Kuze kube namuhla, akukaze kube ngisho noluncane uguquko kulabo abangalithandi iqiniso futhi abathanda inyama kuphela—bangasindiswa kanjani abantu abanjalo? Labo abangayithandi indlela yokuphila, abangamphakamisi uNkulunkulu futhi bamfakazele, abakha amacebo ukuze bathole izikhundla, abazidumisayo—abanjalo nanamuhla? Kubaluleke ngani ukubasindisa? Ukusindiswa kwakho akuncikile ekuphakameni kwesikhundla sakho noma enanini leminyaka osuyisebenzile, ingasaphathwa eyokuncika emagameni osuwakhile. Kunalokho, kuncike ekuthini ukufuna kwakho kube nemiphumela yini. Kufanele wazi ukuthi labo abasindisiwe “bayimithi” ethela izithelo, hhayi imithi enamahlamvu nezimbali eziningi kodwa engatheli zithelo. Ngisho ngabe usuchithe iminyaka eminingi uzula emigwaqeni, kubaluleke ngani lokho? Buphi ubufakazi bakho? Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu kuncane kakhulu kunokuzithanda kwakho nezinkanuko zakho—ngabe lolu hlobo lomuntu alusona yini isonakali? Kungenzeka kanjani ukuthi abe yisibonelo nezifanekiso zabokusindiswa? Imvelo yakho ayilungiseki, uhlubuka ngokwedlulele, awusindiseki! Abantu abanjalo akubona yini abayosuswa? Ingabe isikhathi okuyophela ngaso umsebenzi Wami akusona isikhathi sokufika kosuku lwakho lokugcina? Sengenze umsebenzi omningi kakhulu futhi ngakhuluma amazwi amaningi kakhulu phakathi kwenu—kungakanani kukho enikuzwile? Kungakanani kukho enikulalelile? Lapho umsebenzi wami ufika ekugcineni, leso kuyoba yisikhathi oyogcina ngaso ukungiphikisa, lapho uyoyeka khona ukumelana Nami. Ngenkathi ngisebenza, niphikisana Nami njalo; anize ningahambisana namazwi Ami. Ngenza umsebenzi Wami, futhi wena wenza owakho “umsebenzi,” wenza owakho umbuso omncane. Akukho eniyikho ngaphandle kokuba umhlambi wezimpungushe nezinja, nenza konke okungiphikisayo! Nihlala nizama ukusingatha labo abanithanda ngokuphelele—kuphi ukuhlonipha kwenu! Konke enikwenzayo kunenkohliso! Anilaleli futhi aninanhlonipho, futhi konke enikwenzayo kuyakhohlisa futhi kuyahlambalaza! Bangasindiswa abantu abanjalo? Abantu abaziphatha kabi ngokocansi nabahlala benenkanuko bahlala befuna ukudonsela kubo izifebe ezihungulayo ukuze bazithokozise bona. Ngeke ngiwasindise nhlobo la madimoni aziphatha kabi ngokocansi. Ngiyanizonda madimoni angcolile, futhi ukonakala nokuhungula kwenu kuyoniphonsa esihogweni. Yini eningayisho ngalokhu? Nina madimoni amabi nemimoya emibi niyenyanyisa! Niyacasula! Ungasindiswa kanjani udoti onjalo? Bangasindiswa yini bonke ababambeke esonweni? Namuhla, leli qiniso, le ndlela, nalokhu kuphila akukudonsi; kunalokho, udonsekela esonweni; emalini; egameni, ekudumeni nasekuzuzeni; ekuthokozeni ngokwenyama; ebuhleni bamadoda nasekuthandekeni kwabesifazane. Yini enenza nifanele ukungena embusweni Wami? Isiqu senu sikhulu ngisho kunesikaNkulunkulu, isikhundla sakho singaphezulu ngisho kunesikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyesithunzi sakho phakathi kwabantu—seniyizithixo ezikhonzwa ngabantu. Ingabe usuyingelosi enkulu? Lapho kwembulwa iziphetho zabantu, okuyisikhathi futhi lapho umsebenzi wokusindisa uyobe ususondela esiphethweni, abaningi phakathi kwenu bayoba yizidumbu ezingeke zisasindiswa futhi okuyofuneka basuswe. Ngesikhathi somsebenzi wokusindisa, nginomusa futhi ngilungile kubo bonke abantu. Lapho umsebenzi usuphetha, iziphetho zezinhlobo ezehlukene zabantu ziyokwambulwa, futhi ngaleso sikhathi, ngeke ngisaba nomusa nokulunga, ngoba iziphetho zabantu ziyobe sezambuliwe, futhi umuntu ngomuntu uyobe esehlukaniswe ngokohlobo lwakhe, futhi kuyobe kungasasizi ukwenza omunye umsebenzi wokusindisa, ngoba inkathi yokusindisa iyobe isidlulile, futhi, lapho isidlulile, ngeke ibuye.

Okwedlule: Ukwenza (6)

Okulandelayo: Ukwenza (8)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp