UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe

Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uhlanganisa izingxenye ezimbili. Okokuqala nje, lapho eba inyama, abantu abazange bamkholwe noma bamazi, futhi bambethela esiphambanweni uJesu. Okwesibili futhi, abantu abazange bamkholwe, abazange bamazi futhi baphinda bambethela uKristu esiphambanweni. Ingabe umuntu akasona isitha sikaNkulunkulu? Uma umuntu engamazi uNkulunkulu, angaba kanjani umngani Wakhe? Futhi kungamfanela kanjani ukufakaza ngoNkulunkulu? Akuwona amanga ayinkohliso konke ukukhuluma ngokuthanda uNkulunkulu, ukukhonza uNkulunkulu, ukudumisa uNkulunkulu? Uma uzinikela ezintweni ezingenangqondo, ezingenakwenzeka, ingabe awusebenzeli ize? Ungaba kanjani umngani noNkulunkulu uma ungazi ukuthi ungubani uNkulunkulu? Ingabe lokho akuyona into engaqondakali noma engekho ngokoqobo? Ingabe akukhohlisi? Umuntu onjalo angaba kanjani umngani kaNkulunkulu? Yini ebalulekile ngempela ngokuba umngani kaNkulunkulu? Ungaba yini umngani woMoya kaNkulunkulu? Ingabe uyawubona ukuthi mkhulu futhi ubabazeka kangakanani uMoya? Ukuze ube umngani kaNkulunkulu ongabonakali nongathinteki—ingabe lokho akuyona into engaqondakali nengekho ngokoqobo? Yini ebaluleke ngempela ngalokho? Ingabe konke lokho akuwona amanga aluhlaza? Okuyona nto oyifunayo ukuba umngani kaNkulunkulu, kodwa eqinisweni uyinja kaSathane ngoba awumazi uNkulunkulu, ufuna “uNkulunkulu ongeke wazo zonke izinto,” ongabonakali, ongathinteki nowendlela obheka ngayo izinto. Ngomqondo obazi, lowo “Nkulunkulu” uSathane futhi uma sikhuluma okuyiqiniso, uwena uqobo. Ufuna ukuzithanda wena kodwa ube uthi ufuna ukuba umngani kaNkulunkulu—ingabe lokho akukhona ukungamhloniphi uNkulunkulu? Yiziphi izinzuzo zokufuna izinto ezinjalo? Uma uMoya kaNkulunkulu ungabi yinyama, lokho kuyosho ukuthi isiqu sikaNkulunkulu asibonakali, uMoya wokuphila ongabonakali, ongenasimo, onhlakanhlaka wento engathinteki futhi engabonakali, nomuntu angeke akwazi ukuya kuyo nengaqondakali. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe nobungani obuseduze noMoya omangalisa, nongaqondakali njengalona? Akulona yini ihlaya lokhu? Ukucabanga okungenangqondo kanjalo akusebenzi. Umuntu odaliwe kungokwemvelo ukuba abe nezinhlobo ezihlukahlukene zoMoya kaNkulunkulu, ngakho kwenzeka kanjani ukuba bakwazi ukusondelana? Ukube uMoya kaNkulunkulu awubanga senyameni, futhi ukube akazehlisanga waba umuntu, umuntu odaliwe ubengeke akwazi ukuba umngani Wakhe futhi ngaphandle kwalabo abakholelwa ukuhlonipha uNkulunkulu abangase bathole ithuba lokuba ngabasondelene noNkulunkulu ngemva kokuba imiphefumulo yabo isingene ezulwini, abantu abaningi bangahluleka ukuba abangani boMoya kaNkulunkulu. Uma umuntu efuna ukuba umngani kaNkulunkulu osezulwini ngaphansi kwesiqondiso sikaNkulunkulu osesimweni somuntu, akasiye yini umuntu oyisiwula esimangalisayo somuntu ongaphili? Umuntu umane elandela “ukwethembeka” kuNkulunkulu ongabonakali, akamnaki nakancane uNkulunkulu obonakalayo ngoba kulula ukufuna uNkulunkulu ongabonakali—umuntu angenza ngendlela ayithandayo. Kodwa ukufuna uNkulunkulu obonakalayo akulula neze. Umuntu ofuna uNkulunkulu oyinqaba nakanjani akakwazi ukuthola uNkulunkulu, ngoba izinto ezingacacile nezingachazeki zonke ziye zacatshangwa umuntu, akulula ukuba umuntu azithole. Ukube uNkulunkulu oweza phakathi kwenu wayenguNkulunkulu ozazisayo nophakeme eningakwazi ukufinyelela Kuye, beningayibamba kanjani intando Yakhe? Beningamazi futhi nimqonde kanjani uNkulunkulu? Ukube wenza umsebenzi Wakhe kuphela, engenakuxhumana nomuntu ngokujwayelekile, noma engenabuntu obujwayelekile futhi engafinyeleleki kubantu abafayo, ngakho, ngisho noma kuthiwa unenzele umsebenzi omningi kodwa anikaze nixhumane Naye futhi anikaze nimbone, ngakho beningamazi kanjani? Uma bekungekhona okwale nyama eyenziwe yaba nobuntu obujwayelekile, umuntu ubengeke akwazi ukumazi uNkulunkulu; kuphela kungenxa yokuthi uNkulunkulu usemzimbeni womuntu okwenze umuntu akwazi ukusondelana noNkulunkulu osenyameni. Umuntu uba umngani kaNkulunkulu ngenxa yokuthi uxhumane Naye, umuntu usehlala Naye futhi ahambe Naye, ngakho kancane kancane uya emazi kangcono. Uma bekungenjalo, ukufuna komuntu bekungeke yini kube yize? Lokhu kusho ukuthi, akuwona wodwa umsebenzi kaNkulunkulu owenza umuntu akwazi ukuba umngani kaNkulunkulu, kodwa kungenxa yokuba ngokoqobo nangokuba uNkulunkulu abe semzimbeni ojwayelekile. Kungenxa yokuthi uNkulunkulu ube yinyama okwenza umuntu athole ithuba lokwenza umsebenzi wakhe nethuba lokudumisa uNkulunkulu. Ingabe leli akulona iqiniso elicace kakhulu nelingokoqobo? Manje, ingabe usafisa ukuba umngani noNkulunkulu osezulwini? Kuyoba lapho uNkulunkulu ezithoba kuze kube sezingeni elithile kuphela, okusho ukuthi lapho uNkulunkulu eba senyameni, lapho umuntu engaba khona umngani nesethenjwa Sakhe. UNkulunkulu unguMoya: Kwenzeka kanjani ukuba umuntu akufanelekele ukuba umngani nalo Moya, ophakeme kangaka nobabazekayo? Yilapho kuphela uMoya kaNkulunkulu wehla uba yinyama, uba yisidalwa ngaphandle esibukeka njengomuntu, lapho umuntu angakwazi ukuqonda intando Yakhe futhi azuzwe Nguye. UNkulunkulu ukhuluma aphinde asebenze enyameni, ajabule nabanye, adabuke futhi abhekane nezinsizi zomuntu, aphile emhlabeni ofanayo nalo umuntu aphila kuwo, avikele umuntu, amqondise, kulokhu uhlanza umuntu, emvumela ukuba athole insindiso Yakhe kanye nesibusiso. Uma umuntu esezithole zonke lezi zinto, uyiqonda nakangcono intando kaNkulunkulu, futhi yilapho kuphela angaba khona umngani kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungokoqobo. Uma uNkulunkulu engaqondakali futhi engabonakali kumuntu, umuntu angaba kanjani umngani Wakhe? Ingabe lena akuyona imfundiso engenalutho?

Nakuba sebekholwe kuNkulunkulu kwaze kwaba manje, abantu abaningi basalandela lokho okudidayo futhi okungacacile. Abanawo nomncane umqondo womsebenzi kaNkulunkulu futhi basaqhubeka bephila emagameni nasezimfundisweni. Ngaphezu kwalokho abaningi yima besazongena ezigabeni ezintsha ezingokoqobo ezifana “nesizukulwane esisha salabo abathanda uNkulunkulu”, “abangani bakaNkulunkulu”, “izibonelo othandweni lukaNkulunkulu”, “indlela kaPetru yokuphila”; kunalokho, abakufunayo kuseyinto engacacile nengaqondakali kahle, basaphumputha imfundiso, abanawo umqondo wokusebenza kwala mazwi. Lapho uMoya kaNkulunkulu uba inyama, ungawubona uze uwuthinte umsebenzi Wakhe esenyameni. Nokho uma ungakakwazi ukuba umngani Wakhe, uma usahluleka ukuba isethenjwa Sakhe, ungaba kanjani isethenjwa sikaMoya kaNkulunkulu? Uma ungamazi uNkulunkulu wanamuhla, ungaba kanjani sesizukulwaneni sabathanda uNkulunkulu? Ingabe lawa akuwona amagama nezimfundiso ezingenalutho? Ingabe uyakwazi ukubona uMoya bese ubamba intando Yakhe? Ingabe lana akuwona amazwi angelutho? Akwanele nje ukuba ukhulume la magama nemisho, nokuthi awukwazi ukujabulisa uNkulunkulu ngezinqumo kuphela. Uyagculiseka ngokukhuluma la mazwi kuphela futhi awugculisi izifiso zakho kodwa ugculisa nemibono yakho engenangqondo, ugculise imicabango nemibono yakho. Uma ungamazi uNkulunkulu wanamuhla, lokhu kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi wenzani, uzohluleka ukugculisa isifiso senhliziyo kaNkulunkulu. Kusho ukuthini ukuba isethenjwa sikaNkulunkululu? Ingabe namanje awukakuqondi lokhu? Njengoba umngani kaNkulunkulu kungumuntu, noNkulunkulu Naye ungumuntu, okusho ukuthi uNkulunkulu usebe yinyama, waba ngumuntu. Yilabo kuphela bohlobo olufanayo abangabizana ngezethenjwa, yilabo kuphela abangaba abangani. Ukube uNkulunkulu wayenguMoya, umuntu odaliwe ubengaba kanjani umngani Wakhe?

Inkolelo yakho kuNkulunkulu, ukufuna kwakho iqiniso ngisho nendlela oziphatha ngayo konke kufanele kube ngokoqobo: Yonke into oyenzayo kufanele ibe ngokoqobo, ungafuni nje izinto eziyize ezingenzeki, eziwubukhazikhazi. Akuzuzisi nhlobo ukwenza kanjalo, futhi ngaphezu kwalokho impilo enjalo ayibalulekile neze. Ngoba ukufuna kwakho nokuphila kuyinkohliso futhi awuzifuni izinto ezinenzuzo nokuqapheleka, okutholayo kuphela ukucabanga okungenangqondo nemfundiso engelona iqiniso. Izinto ezinjalo azihlangani nakancane nokubaluleka kokuphila kwakho futhi azikusizi ngalutho. Ngaleyo ndlela ukuphila kwakho konke ngeke kusize noma kubaluleke ngalutho—futhi uma ungakufuni ukuphila ukuphila okubalulekile, ungaphila iminyaka eyikhulu futhi lokho kuyoba yize leze. Kungabizwa kanjani-ke lokho ngokuthi ukuphila komuntu? Akukhona yini empeleni ukuphila kwesilwane? Ngokufanayo, uma nizama ukulandela indlela yokukholelwa kuNkulunkulu kodwa ningenzi lutho ukuze nifune uNkulunkulu obonakalayo, kunalokho nikhonze uNkulunkulu ongabonakali, ingabe lokho kufuna akulona neze ize? Ekugcineni, izinto ozifunayo ziyophenduka inqwaba yezincithakalo. Ngakho lokho kufuna kwakho kuyokusiza ngani? Inkinga enkulu ngomuntu ukuthi uthanda kuphela izinto angakwazi ukuzibona noma ukuzithinta, izinto eziyinkimbinkimbi kakhulu nezimangalisayo ezingacabangeki kumuntu futhi umuntu ofayo angeke azithole. Ukuqhubeka kwazo lezi zinto zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu eqhubeka khona ezihlaziya, aze ngisho azifune ekushaya indiva konke okunye, bese ezama ukuzizuza. Ukuqhubeka kwazo zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu ezihlolisisa khona futhi azihlaziye, aze adlulele kude ekutheni azenzele eyakhe imibono ngazo. Ngokuphambene nalokho, lapho izinto ziba ngokoqobo, yilapho nomuntu engazinaki khona; umane azibukele phansi aze ngisho azenyanye. Ingabe lokhu akuyona indlela okufanele nibheke ngayo umsebenzi ongokoqobo engiwenzayo namuhla? Lapho izinto ezinjalo ziba ngokoqobo, yilapho nawe uqhubeka ungazithandi. Awuziphi ngisho isikhathi sokuzihlola, kodwa umane uzizibe nje; uzibukela phansi lezi ezingokoqobo, izimfuneko ezicacile futhi uze ufukamele imibono eminingi ngalo Nkulunkulu ongokoqobo nakakhulu, futhi abakwazi ukwamukela kalula ukuba ngokoqobo nokujwayeleka Kwakhe. Ngaleyo ndlela, ingabe awukholelwa ezintweni ezingacacile eziningi? Unokholo olungeke lunyakaziswe kuNkulunkulu oyinqaba wakudala, futhi awunalo ilukuluku ngoNkulunkulu wangempela wanamuhla. Lokhu akubangelwa yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo nalowo wanamuhla baphile ezinkathini ezimbili ezingafani? Ingabe akukhona yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo uphakanyisiwe ezulwini, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyindoda encane emhlabeni? Ngaphezu kwalokho, ingabe akukhona yini ngenxa yokuthi uNkulunkulu okhonzwa ngabantu yilowo owenziwe ngezindlela zakhe, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyinyama ebunjwe lapha emhlabeni? Lapho konke sekushiwo kwaphinde kwenziwa, ingabe akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu wanamuhla ungokoqobo nakakhulu kangangokuthi umuntu akakwazi ukumfuna? Ngoba lokho uNkulunkulu wanamuhla akufunayo kubantu kuqondile kangangokuthi izikhathi eziningi umuntu akathandi ukukwenza futhi lokho kumenza abe namahloni. Ingabe lokhu akwenzi izinto zibe nzima kumuntu? Ingabe lokhu akumenzi ukuba abe nezibazi? Ngaleyo ndlela, abaningi abangakufuni okuyiqiniso baba yizitha zikaNkulunkulu osesimweni somuntu, babe abaphikukristu. Ingabe lokhu akulona iqiniso elisobala? Ngesikhathi esidlule, lapho uNkulunkulu esezokuba senyameni, kungenzeka nanisenkolweni noma ningamakholwa azinikele. Ngemva kokuba uNkulunkulu esebe yinyama, abaningi ababezinikele bazithola sebengabaphikukristu benganakile. Ingabe uyazi ukuthi kwenzekani lapha? Ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu, awuzinaki izinto ezingokoqobo noma awulifuni iqiniso kunalokho uzixaka ngezinto ezingamanga—ingabe lokhu akuwona yini umthombo ocacile wenzondo onayo ngoNkulunkulu osesimweni somuntu? UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa uKristu, ngakho akubona bonke abangakholelwa kuNkulunkulu osesimweni somuntu abaphikukristu? Ngakho ingabe yilowo okholelwa futhi omthanda ngempela, uNkulunkulu osenyameni? Ingabe ngempela uyaphila, uNkulunkulu ophefumulayo ongokoqobo nakakhulu futhi nojwayelekile ngendlela emangalisayo? Uyini ngempela, ingabe uyilokho okufunayo? Ingabe isezulwini noma emhlabeni? Ingabe iwumbono noma iyiqiniso? Ingabe iwuNkulunkulu noma isidalwa esinamandla amakhulu angajwayelekile? Eqinisweni, iqiniso liyinto ehamba phambili ekuphileni futhi liwukuphila okusezingeni eliphakeme kubo bonke abantu emhlabeni. Ngenxa yokuthi liyimfuneko uNkulunkulu ayenzele abantu futhi liwumsebenzi uNkulunkulu azenzele wona, ngakho libizwa ngokuthi imfihlo yokuphila. Akuyona imfihlo efinyezwe entweni ethile, noma amazwi adumile avela kothile ophezulu; kunalokho ingamazwi avela eNkosini yasemazulwini nasemhlabeni futhi yazo zonke izinto, engewona amazwi afinyezwe umuntu, kunalokho awukuphila okuyifa kukaNkulunkulu. Ngakho abizwa ngokuthi imfihlo yokuphila ephakeme kunazo zonke. Ukufuna komuntu ukusebenzisa iqiniso kungukuzimisela kwakhe kulokho okumele akwenze, okusho ukuthi, ukufuna ukujabulisa uNkulunkulu. Ukubaluleka kwale mfuneko kuyiqiniso elingokoqobo ngaphezu kwawo wonke amaqiniso, okungcono kunemfundiso eyize engazuzwa muntu. Uma okufunayo kumane nje kuyimfundiso futhi kungenazo izinto ezingokoqobo, ingabe awuhlubuki yini eqinisweni? Ingabe awuyena umuntu olwisana neqiniso? Umuntu onjalo angalufuna kanjani uthando lukaNkulunkulu? Abantu abangaphili ngezinto ezingokoqobo yilabo abalwisana neqiniso futhi baqhubeka behlubuka ngisho nakakhulu!

Akunandaba ukuthi ufuna kangakanani, kumele ngaphezu kwakho konke, uqonde umsebenzi owenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi kumele wazi ukubaluleka komsebenzi Wakhe. Kumele uqonde futhi wazi umsebenzi olethwa uNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, isimo asilethayo, nalokho okwenziwa kuphelele kumuntu. Uma ungawazi noma uwuqonde umsebenzi azele ukuzowenza enyameni, khona-ke ungayibamba kanjani intando Yakhe, futhi ungasondelana kanjani Naye? Eqinisweni ukusondelana noNkulunkulu akuyona into eyinkimbinkimbi, kodwa futhi akulula. Uma abantu bengakuqonda ngokugcwele futhi bakwenze, khona-ke akubi yinkimbinkimbi; uma abantu bengakuqondi ngokugcwele, kuyoba nzima kakhulu, futhi nakanjani umuntu uyodidwa izinto eziningi. Uma, ekufuneni kwakhe uNkulunkulu, umuntu engenayo indawo yakhe azoma kuyo, futhi engazi ukuthi kufanele abambe liphi iqiniso, khona-ke kusho ukuthi akanaso isisekelo, ngakho ngeke kube lula ukuthi ame aqine. Namuhla, baningi kakhulu abangaliqondi iqiniso, abangakwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi noma ukubona umehluko phakathi kothando nenzondo. Abantu abanjalo kunzima ukuthi bame baqine. Into ewumgogodla ekukholelweni kuNkulunkulu ukukwazi ukubeka iqiniso endaweni yalo, ukuba nendaba nentando kaNkulunkulu, ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu lapho efika enyameni nemiyalo ayikhulumayo; ungabi uthathekile, futhi kufanele ube nemiyalelo kulokho ongena kukho, futhi uyibambisise. Ukubambelela ngokuqinile kulezo zinto ekukhanyiselweni uNkulunkulu kuyokusiza. Uma kungenjalo, namuhla uyoshintsha ube okunye, kusasa uphinde ushintshe futhi ube ngokunye, awusoze waba neqiniso. Ukuba yilolu hlobo akukuzuzisi ukuphila kwakho. Labo abangaliqondi iqiniso bahlale belandela abanye: Uma abantu bethi lona umsebenzi kaMoya oNgcwele, khona-ke nawe uthi umsebenzi kaMoya oNgcwele; uma abantu bethi umsebenzi womoya omubi, khona-ke nawe uqala ukungabaza, noma uphinde uthi umsebenzi womoya omubi. Uhlale ulingisa amazwi abanye, futhi awukwazi ukuzitholela wena into ethile, futhi awukwazi ukuzicabangela. Lona umuntu ongazazi ukuthi ume kuphi, ongakwazi ukwahlukanisa—umuntu onjalo uyinto engenamsebenzi! Uhlala uphinda amazwi abanye: Namhlanje kuthiwa lona umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa kungenzeka ngelinye ilanga kube khona othi lona akuwona umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa owomuntu nje—kodwa awukwazi ukukubona lokhu, futhi lapho uzwa kushiwo abanye, nawe usho into efanayo. Empeleni umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa uthi umsebenzi womuntu; awuphendukanga yini omunye walabo abangcolisa umsebenzi kaMoya oNgcwele? Kulokhu, ingabe awukaze umelane noNkulunkulu ngenxa yokuthi awukwazi ukuphawula umehluko? Ubani owaziyo, mhlawumbe ngelinye ilanga kuyovumbuka esinye isiphukuphuku, sithi “lona umsebenzi womoya omubi,” futhi lapho uzwa la mazwi uyodideka, uphinde unamathele emazwini abanye. Ngaso sonke isikhathi lapho umuntu ekunyakazisa, uyehluleka ukuzimela, futhi lokhu kungenxa yokuthi awunalo iqiniso. Ukukholelwa kuNkulunkulu nokufuna ulwazi ngoNkulunkulu akuyona into elula. Ngeke kumane kufinyelelwe ngokulalela izintshumayelo, futhi awukwazi ukupheleliswa ngentshisekelo kuphela. Kumele ezenzweni zakho ubhekane, wazi futhi uqondiswe imiyalo, bese uzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Lapho udlule kulezo zinto, uyokwazi ukwehlukanisa izinto eziningi—uyokwazi ukwahlukanisa okuhle nokubi, okulungile nokungalungile, nokwenyama nokwegazi kanye nokweqiniso. Kufanele ukwazi ukuhlukanisa zonke izinto, futhi ngokwenza kanjalo, akunandaba ukuthi izimo ziyini, awusoze waduka. Yilesi kuphela isimo Sakhe sangempela.

Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu akuyona into elula: Kufanele ube nezinga kanye nemigomo, kufanele wazi ukuthi ifunwa kanjani indlela yeqiniso, nokuthi ibonakala kanjani ukuthi iyindlela eyiqiniso, nokuthi iwumsebenzi kaNkulunkulu yini. Imuphi umyalo oyisisekelo ngempela ekufuneni indlela yeqiniso? Kufanele nibheke ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele kule ndlela, ukuthi la mazwi ayiqiniso yini noma cha, ubani ongufakazi, nomphumela okungaba nawo kuwe. Ukuhlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga kudinga ulwazi oluningi oluyisisekelo, futhi okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngoba isiqu senkolelo yomuntu kuNkulunkulu siyinkolelo kaMoya oNgcwele. Ngisho nenkolelo kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingenxa yokuthi inyama Yakhe iwumfuziselo kaMoya oNgcwele, okusho ukuthi leyo nkolelo isengekaMoya oNgcwele. Kunomehluko phakathi koMoya nenyama, kodwa ngenxa yokuthi le nyama ivela oMoyeni, futhi iZwi liphenduka inyama, ukholo lomuntu kuyo luseyisiqu sikaNkulunkulu. Ngakho ekwahlukaniseni ukuthi yindlela yeqiniso noma cha, kufanele nibheke ukuthi akuwona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele, ngemva kwalokho nibheke ukuthi likhona yini iqiniso kuleyo ndlela. Leli qiniso liyisimo sokuphila ebuntwini obujwayelekile, okusho ukuthi, yilokho okwakudingeka kumuntu ngesikhathi edalwa uNkulunkulu, konke okobuntu obujwayelekile (okuhlanganisa ingqondo, ukuqonda, ukuhlakanipha, nolwazi oluyisisekelo lokuba umuntu). Lokho kusho ukuthi, kudingeka ubheke ukuthi le ndlela ingamngenisa yini umuntu ekuphileni kobuntu obujwayelekile noma cha, nokuthi iqiniso okukhulunywa ngalo liyadingeka ngokoqobo lobuntu obujwayelekile, ukuthi leli qiniso lingenzeka futhi ngelangempela, noma lihambisana nesikhathi noma cha. Uma kuneqiniso, khona-ke kungenzeka ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile; ngaphezu kwalokho, umuntu oba ojwayelekile nakakhulu, ingqondo yomuntu iyaphelela nakakhulu, ukuphila komuntu enyameni nasemoyeni kuyahleleka, futhi imizwa yomuntu iba ejwayelekile. Lona umyalo wesibili. Kunomunye futhi umyalo, wokuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unolwazi oluningi yini ngoNkulunkulu, ukuthi uyawubona yini umsebenzi onjalo, nokuthi iqiniso liyakugqugquzela yini ukuthanda uNkulunkulu kuye, kumsondeze kakhudlwana kuNkulunkulu. Kulokhu kungalinganiswa ukuthi le ndlela yindlela yeqiniso yini noma cha. Into ebaluleke kakhulu ukuthi le ndlela inengqondo yini, nokuthi iyamnika yini umuntu ukuphila. Uma ivumelana nale miyalo, kungafinyelelwa esiphethweni sokuthi lena indlela yeqiniso. La mazwi angiwasho ngoba ngifuna namukele ezinye izindlela ezintweni enibhekana nazo kusasa, nangenhloso yokuqagela ukuthi kuyoba nomsebenzi esikhathini esizayo. Ngiwasho ukuze niqiniseke ngokuthi indlela yanamuhla ngeyeqiniso, ukuze ningayingabazi inkolelo yenu ngomsebenzi wanamuhla futhi ningahluleki ukuyiqonda. Kunabaningi futhi, okuthi ngaphandle kokuqiniseka, balandele imbudane; into engenawo umyalo, futhi kumele baqothulwe kungekudala. Ngisho nalabo abaphikelelayo endleleni abayilandelayo ngokwezinga elithile abaqiniseki, okutshengisa ukuthi abanasisekelo. Ngoba ubuqotho bakho buyantula futhi isisekelo sakho siyize, awuwuqondi umehluko. UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi Wakhe, akawenzi umsebenzi ongenangqondo, akazenzi izimfuneko eziyihaba ngomuntu, akawenzi umsebenzi ongaphezu komqondo womuntu. Wonke umsebenzi awenzayo awukho ngaphezu komqondo womuntu, awubudluli ubuntu obujwayelekile, futhi umsebenzi Wakhe uvumelana nezimfuneko zomuntu. Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu uba ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Abantu bazuza ulwazi olukhulayo ngesimo sabo esonakele esinobusathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu. Uma indlela ingakwazi ukwambula lezo zinto eziyisiqu somuntu, ayikwazi ukushintsha isimo somuntu, futhi ayikwazi ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu noma ukumnika ukuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nokwehlisa ubuntu bomuntu nokuphakamisa umqondo wakhe, khona-ke leyo ngeke kube indlela yeqiniso, kunalokho ingaba umsebenzi womoya omubi, noma indlela endala. Ngamafuphi, ayikwazi ukuba umsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele. Benikholelwa kuNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, kodwa aniyazi imiyalo yokwehlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga noma yokufuna indlela yeqiniso. Abantu abaningi abanandaba nalezi zinto; bamane balandela iningi, futhi baphinde lokhu okushiwo iningi. Lokhu kungaba kanjani umuntu ofuna indlela yeqiniso? Futhi abantu abanjalo bangayithola kanjani indlela yeqiniso? Uma ubamba le miyalo eminingana ewumgogodla, khona-ke kunoma yini eyenzekayo ngeke ukhohliswe. Namuhla, kubalulekile ukuthi umuntu akwazi ukubona umehluko; yilokho ubuntu obujwayelekile okufanele bube nakho, nomuntu okufanele adlule kukho. Uma ngisho namuhla, umuntu engakahlukanisi lutho ekulandeleni kwakhe, nomqondo wakhe ungakakhuli, khona-ke umuntu uyisiphukuphuku kakhulu, futhi izinto azifunayo akuzona. Akukho ngisho nomncane umehluko ezintweni ezifunwa yini namuhla, futhi nakuba kuyiqiniso njengoba nisho, niyitholile indlela yeqiniso, ingabe anikayitholi? Ingabe kukhona esenikwazi ukukuhlukanisa? Siyini isiqu sendlela yeqiniso? Endleleni yeqiniso, anikaze nizuze indlela yeqiniso, anikaze nizuze lutho lweqiniso, okusho ukuthi, anikaze nifinyelele lokho uNkulunkulu akufuna kini, ngakho akukaze kube noshintsho ekonakalisweni kwenu. Uma niqhubeka nale ndlela, ekugcineni niyoqothulwa. Ngemva kokuba abalandeli kuze kube namuhla, kufanele niqiniseke ngokuthi indlela eniyithathile eyeqiniso, futhi akufanele ningabaze. Abantu abaningi bahlale bengaqiniseki futhi abalilandeli iqiniso ngenxa yezinto ezincane. Abantu abanjalo yilabo abangenalo ulwazi ngomsebenzi kaNkulunkulu, bayilabo abalandela uNkulunkulu bedidekile. Abantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukusondelana Naye, noma ukufakaza Kuye. Ngeluleka labo abafuna isibusiso Sakhe kuphela nabalandela izinto ezididayo futhi abangafuni ukulandela iqiniso ngokushesha okukhulu, ukuze ukuphila kwabo kubaluleke. Ningalokothi niphinde nizikhohlise!

Okwedlule: Umuntu Ochaze UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?

Okulandelayo: Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp