Isahluko 102

Ngikhulume ngokusezingeni elithile futhi ngasebenza ngokusezingeni elithile; nonke kufanele niqonde intando Yami futhi nikwazi ngamazinga ehlukene ukucabangela umthwalo Wami. Manje sekuyisikhathi sokuguquka nisuka enyameni ningena endaweni yokomoya, futhi ningamavulandlela ezinkathini zonke, abantu bomhlaba wonke abahamba baze bafike emaphethelweni ezulu nomhlaba. Ningabathandiweyo kakhulu; abasentendeni yesandla sami. Kungashiwo ukuthi anginasithandwa ngaphandle kwenu, ngoba wonke umzamo Wami onzima wenzelwe nina—kungenzeka yini ukuthi anikwazi lokho? Kungani ngadala zonke izinto? Kungani ngahlela zonke izinto ukuze zisebenzele nina? Konke lokhu kuyizibonakaliso zothando Lwami ngani. Izintaba nazo zonke izinto ezisezintabeni, umhlaba nazo zonke izinto ezisemhlabeni ziyangidumisa futhi zingikhazimulise ngoba ngizuze nina. Ngempela, konke kwenziwe, futhi ngaphezu kwalokho, konke kwenziwe ngokuphelele. Nenze ubufakazi obuqanda ikhanda Ngami futhi nadumaza odeveli noSathane ngenxa Yami. Bonke abantu, izindaba, nezinto ezingaphandle Kwami kuthoba phansi kwegunya Lami, futhi konke, ngenxa yokuphethwa kohlelo Lwami lokuphatha, kulandela okohlobo lwako (Abantu Bami bangabami, futhi uhlobo lukaSathane luya echibini lomlilo—baya emgodini ongenamkhawulo, lapho beyokhala kuze kube phakade futhi babhubhe kuze kube phakade). Lapho ngikhuluma “ngokubhubha” nokuthi “kusuka kuleso sikhathi kuya phambili ngithatha umoya, umphefumulo, nomzimba wabo,” ngibhekise ekubadedeleni kuSathane nokubavumela ukuthi bagxotshwe. Ngamanye amazwi, bonke abangebona abendlu Yami bayoba ngabaqondwe ukubhubha futhi ngeke besaphinde babe ngabakhona. Lokhu akuyikho, njengoba abantu becabanga, ukuthi bayobe sebehambile. Futhi kungashiwo nokuthi konke okungaphandle Kwami, ngokombono Wami, akukho, okuwumqondo wangempela wokubhubha. Emehlweni abantu babonakala besekhona, kodwa ngokombono Wami baphendukele ekubeni ngokungekho futhi bazobe bebhubha ngaphandle. (Ukugxila kukulabo engingasasebenzi kubo nabangaphandle Kwami.) Kubantu, kungakhathaleki ukuthi bacabanga kanjani, abakwazi ukukuqonda lokhu, futhi kungakhathaleki ukuthi babona kangakanani, abakwazi ukubona ngale kwakho. Akekho ongaqonda ngokucacile ngaphandle kokuthi ngimkhanyisele, ngimkhanyise, futhi ngikukhombe ngokusobala. Ngaphezu kwalokho, wonke umuntu uyokuya ngokuya eba lufifi ngakho, uyozwa eya ngokuya engenalwazi ngokwengeziwe, futhi ukhule umuzwa wokuthi akukho ndlela yokulandelwa—bacishe babe njengabantu abafile. Njengamanje abantu abaningi (okusho bonke abantu ngaphandle kwamadodana angamazibulo) bakulesi simo. Ngisho lezi zinto ngokucace kakhulu futhi laba bantu abanako ukuphendula futhi basakhathalele izinjabulo zenyama—bayadla bese belala; bayalala bese futhi bedla, futhi abazindli ngamazwi Ami. Ngisho bethola umdlandla, kuyoba ngokwesikhashana nje, bese emva kwalokho bahlala benjengoba bebenjalo, bengaguqukile nhlobo, sengathi abazange bangilalele nhlobo. Laba ngabantu abanobulima obejwayelekile abangenamthwalo—abaphila ngobumbungulu obusobala kakhulu. Ekuhambeni kwesikhathi, ngiyobashiya ngabanye ngabanye. Ningakhathazeki! Ngabanye ngabanye ngiyobathumela emuva emgodini ongenamkhawulo. UMoya oNgcwele akaze asebenze kubantu abanjalo, futhi konke abakwenzayo kusuka eziphweni abazamukelile. Lapho ngikhuluma ngalesi sipho, ngiqonde ukuthi lo ngumuntu ongenampilo, ongumenzi womsebenzi Wami. Angifuni namunye kubona futhi ngiyobasusa (kodwa njengamanje basenomsebenzi kancane). Wena ongumenzi womsebenzi, lalela! Ungacabangi ukuthi ukukusebenzisa Kwami kusho ukuthi ngiyakuthanda. Akulula kanjalo. Uma ufuna ukuba umuntu engimthandayo, kufanele ube ngumuntu engizomvuma futhi kufanele ube ngumuntu engizomphelelisa mathupha. Lolu wuhlobo lomuntu engimthandayo. Ngisho oma abantu bethi ngenze iphutha, angisoze ngihlehle. Uyazi? Labo abenza umsebenzi bayizinkomo namahhashi. Bangaba kanjani ngamadodana Ami angamazibulo? Ngeke kube ngumbhedo lokho? Ngeke lokho kube wukwephula imithetho yemvelo? Labo abanokuphila Kwami, imfaneleko Yami, labo bangamadodana Ami angamazibulo. Lokho kuyinto enomqondo—akekho ongakuphikisa. Kufanele kube njalo, kungenjalo bekungeke kube khona ongadlala leyo ndima, akekho obengathatha indawo yakhe. Lokhu akulona udaba lokwenziwa ngomzwelo, ngoba nginguNkulunkulu olungile uqobo Lwakhe; nginguNkulunkulu ongcwele uqobo Lwakhe; nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe onobukhosi, ongacasuleki!

Konke okungenzeki kubantu kwenzeka kahle nakalula Kimi. Akekho ongakumisa, futhi akekho ongakuguqula. Umhlaba omkhulu kangaka wonke usezandleni Zami, ingasaphathwa ekadeveli omncane uSathane. Ukube bekungeve kungenxa yohlelo Lwami lokuphatha, futhi ukube bekungeve kungenxa yamadodana Ami angamazibulo, ngabe kade ngayibhubhisa le nkathi embi futhi eyonakele engenwe yiphunga lokufa. Kodwa ngenza ngokufaneleyo futhi angikhulumi kalula. Lapho ngikukhuluma kuyofezeka; ngisho noma bekungenjalo, kukhona ingxenye yokuhlakanipha Kwami, eyongifezela konke futhi ivule indlela yezenzo Zami. Ngoba amazwi Ami awukuhlakanipha Kwami; amazwi Ami ayikho konke. Abantu bahluleka ngokuphelele ukuwaqonda futhi abakwazi ukuwezwa. Ngihlala ngikhuluma “ngechibi lomlilo.” Lokhu kusho ukuthini? Kwehluke kanjani echibini lomlilo nesibabuli? Ichibi lomlilo nesibabuli kubhekise ethonyeni likaSathane, futhi ichibi lomlilo libhekise kuwo wonke umhlaba ongaphansi kokulawulwa nguSathane. Wonke umuntu emhlabeni ulindelwe ukubhujiswa echibini lomlilo (okungukuthi, baya ngokuya bekhohlakela futhi, lapho ukukhohlakala kwabo kufika ezingeni elithile, bayobhujiswa Yimi ngabanye ngabanye, okulula Kimi ukukwenza ngezwi Lami elilodwa nje lodwa). Lapho luya ngokuya luba lukhulu ngokwengeziwe ulaka Lwami, uvutha ngokwengeziwe umlilo kulo lonke ichibi lomlilo. Lokhu kubhekise kubantu beya ngokuya bekhula ekubeni babi. Isikhathi lapho ulaka Lwami luqubuka khona kuyoba futhi yisikhathi lapho ichibi lomlilo liqhuma khona; okungukuthi, kuyoba yisikhathi lapho umhlaba wonke ubhubha khona. Ngalolo lusuku umbuso Wami uyofezwa ngokuphelele emhlabeni futhi kuqale impilo entsha. Lokhu kuyinto ezogcwaliswa maduze. Kusuka ekukhulumeni Kwami, konke kuyogcwaliseka kube sobala. Lokhu kuwukubuka kwabantu udaba, kodwa ngokubuka Kwami izinto sezivele ziphethwe ngaphambi kwesikhathi ngoba Kimi konke kulula. Ngiyakhuluma bese kwenzeka; ngiyakhuluma bese kumiswa.

Zonke izinsuku nidla amazwi Ami; nithokozela ukukhuluphala ethempelini Lami; niphuza amanzi emfuleni Wami wokuphila; nikha izithelo emthini Wami wokuphila. Kuyini, khona-ke, ukukhuluphala ethempelini Lami? Ayini amanzi omfula Wami wokuphila? Uyini umuthi wokuphila? Siyini isithelo somuthi wokuphila? Le mishwana ejwayelekile nokho ayiqondakali kubo bonke abantu, abadideke bonke, abawakhuluma ngokungacopheleli, abawasebenzisa ngokunganakekeli, futhi abawasebenzisa noma kuphi. Ukukhuluphala ethempelini akusho amazwi engiwakhulumile noma umusa engininikeze wona. Ngakho, empeleni, kusho ukuthini? Kusuka endulo akukaze kube khona muntu onenhlanhla yokuthokozela ukukhuluphala ethempelini Lami. Kusezinsukwini zokugcina kuphela, phakathi kwamadodana Ami angamazibulo, lapho abantu bengabona khona lokho okungukukhuluphala ethempelini Lami. “Ithempeli” okukhulunywa ngalo “ekukhuluphaleni kwasethempelini Lami” yisiqu Sami, kubhekiswe eNtabeni iSiyoni, indawo Yami yokuhlala. Ngaphandle kwemvume Yami akekho ongangena noma aphume kuyo. Kusho ukuthini “ukukhuluphala”? Ukukhuluphala kubhekise esibusisweni sokubusa ndawonye Nami emzimbeni. Ngokujwayelekile, lokhu kusho isibusiso samadodana Ami angamazibulo ebusa Nami emzimbeni, futhi akulukhuni ukukuqonda. Amanzi omfula wokuphila anezincazelo ezimbili: olunye uhlangothini kubhekise emanzini okuphila ageleza esuka ngaphakathi kwengiyikho, okungukuthi, lonke izwi eliphuma emlonyeni Wami. Kolunye uhlangothi, kubhekise ekuhlakanipheni nesu lezenzo Zami, kanye nakulokhu engiyikho nenginakho. Emazwini Ami kukhona izimfihlakalo ezingapheli, ezifihlakele (ukuthi izimfihlakalo azisafihlakele kukhulunywa ngokuphambene nesikhathi esedlule, kodwa kuqhathaniswa nokwambulwa ngokusobala osukwini oluzayo, zisafihlakele. Lapha “ukufihlakala” akuyona into engephikwe, kodwa kuhambisana nesimo), okusho ukuthi amanzi omfula wokuphila ahlala egobhoza. Kimi kunokuhlakanipha okungapheli, futhi abantu abakwazi nhlobo ukuqonda engiyikho nenginakho; okungukuthi, amanzi omfula wokuphila ahlala egobhoza. Ekubukeni komuntu kunezinhlobo eziningi zemithi ebonakalayo, kodwa akukho muntu oseke wabona umuthi wokuphila. Nokho, nakuba namuhla abantu bengakawuboni—baze bakhulume ngokudla emthini wokuphila. Kuyahlekisa ngempela! Bangawudla ngokuphelele! Kungani ngithi namuhla abantu bayawubona kodwa abawuqondi? Kungani ngisho lokho? Uyayiqonda incazelo yamazwi Ami? UNkulunkulu ongokoqobo uqobo Lwakhe namuhla ungumuntu engiwuye, futhi uwumuthi wokuphila. Ungasebenzisi umqondo womuntu ukungilinganisa—ngaphandle angibukeki njengomuthi noma isihlahla, kodwa ngabe uyazi ukuthi ngiwumuthi wokuphila? Konke ukunyakaza Kwami, ukukhuluma nokuziphatha Kwami, kuyizithelo zomuthi wokuphila, futhi kuyisiqu Sami—kuyilokhu amadodana Ami angamazibulo okufanele akudle, ngakho ekugcineni ngamadodana Ami angamazibulo Nami kuphela esiyofana ngokuphelele. Ayokwazi ukuphila Ngokwami futhi ayokwazi ukufakaza Kimi. (Lezi yizinto ezenzeka emva kokungena kwethu endaweni yokomoya. Kusemzimbeni kuphela lapho singafana khona ncamashi; enyameni singacishe sifane, kodwa sisenalokho esikuthandayo thina ngokwethu.)

Ngeke nje ngigcine ngokunikhombisa amandla Ami emadodaneni Ami angamazibulo kuphela, kodwa futhi ngiyokhombisa amandla Ami ngokubusa kwamadodana Ami angamazibulo zonke izizwe nabo bonke abantu. Lesi yisinyathelo somsebenzi Wami. Isikhathi samanje siyisihluthulelo, futhi manje ngokwengeziwe kunakuqala kuyiiskhathi lapho kuguquka izinto. Lapho konke sekufeziwe, nizoqala nibone ukuthi yini esetshenzwa yizandla Zami, futhi niyobona indlela engihlela ngayo nendlela engiphatha ngayo, kodwa lokhu akuyona into engacacile. Ngokwezimo zawo wonke amazwe omhlaba, akukude kakhulu; kuyinto abantu abangakwazi ukuyicabanga, futhi ngaphezu kwalokho, kuyinto abangekwazi ukuyibona ingakenzeki. Akufanele nhlobo ninganaki noma nibe budedengu ukuze ningaphunyukwa yithuba lokubusiswa nokuhlonyuliswa. Ithemba lokuba khona kombuso seliyabonakala futhi umhlaba wonke uya ngokuya ufa. Emgodini ongenamkhawulo nasechibini lomlilo nesibabuli kuphuma iziwombe zemisindo yokukhala, okwethusa abantu futhi kubenze besabe futhi babe namahloni. Noma ngubani okhethwe egameni Lami bese esuswa uyoba semgodini ongenamkhawulo. Ngakho njengoba ngishilo izikhathi eziningi, ngiyophonsa abaqokelwe ukubhujiselwa emgodini ongenamkhawulo. Lapho umhlaba wonke ubhujiswa konke okubhujisiwe kuyofakwa echibini lomlilo nesibabuli—okungukuthi, kuyokhishwa echibini lomlilo kufakwe echibini lomlilo nesibabuli. Ngaleso sikhathi wonke umuntu uyobe esenqunyelwe ingabe ukubhujiswa okuphakade (okusho bonke labo abangaphandle Kwami) noma ukuphila okuphakade (okusho bonke labo abaphakathi Kimi). Ngaleso sikhathi Mina namadodana Ami angamazibulo siyophuma embusweni futhi singene ekuphileni okuphakade. Lokhu kuyinto eyogcwaliswa kamuva, futhi ngisho noma nginitshela manje, ngeke niqonde. Ningalandela kuphela ukuhola Kwami, nihambe ekukhanyeni Kwami, nihambe nami othandweni Lwami, nithokoze kanye Nami embusweni Wami, futhi nibuse kanye Nami phezu kwazo zonke izizwe nabo bonke abantu egunyeni Lami. Lokho engikusho ngenhla kuyizibusiso ezingapheli engininika zona.

Okwedlule: Isahluko 101

Okulandelayo: Isahluko 103

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp