Isahluko 104

Bonke abantu, izigameko nezinto ezingaphandle Kwami zizodlulela ekubeni yize, lapho bonke abantu, izigameko nezinto eziphakathi Kimi zizozuza konke Kimi futhi zingene enkazimulweni kanye Nami, zingene eNtabeni Yami iSiyoni, indawo Yami yokuhlala, futhi zihlale Nami kuze kube phakade. Ngadala zonke izinto ekuqaleni futhi ngiyophetha umsebenzi Wami ekugcineni, futhi ngiyobusa kuze kube phakade njengeNkosi. Phakathi nendawo, ngibuye ngihole futhi ngilawule lonke izulu nomhlaba. Akekho ongathatha igunya Lami, ngoba nginguNkulunkulu oyedwa uqobo Lwakhe, futhi nginamandla okudlulisela igunya Lami kumadodana Ami angamazibulo, ukuze amadodana Ami angamazibulo akwazi ukubusa kanye Nami. Lokhu kukhona kuze kube phakade futhi akunakuguqulwa nhlobo. Lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. (Noma kuphi lapho ngixoxa khona ngesinqumo Sami sokuphatha, ngibhekise kulokho okwenzeka embusweni Wami nalokho okuyoba khona kuze kube phakade futhi okungenakuguqulwa.) Bonke abantu kufanele bakholwe ngokuphelele, futhi kufanele babone amandla Ami amakhulu kulabo engibathandayo. Akekho ongahlaza igama Lami—nonke kufanele nisuke lapha! Akukhona ukuthi anginasihe, kodwa ukuthi awulungile. Uma udelela ukusola Kwami khona-ke ngiyobhekana nawe futhi ngikwenze ufe kuze kube phakade. (Ngempela, konke lokhu kuqondiswe kubantu abangewona amadodana Ami angamazibulo.) Indlu Yami ayiwufuni udoti onjalo, ngakho phuthuma uphume lapha! Ungalibali umzuzu noma umzuzwana! Kufanele wenze engikushoyo, kungenjalo ngiyokubhubhisa ngezwi elilodwa. Kungcono ungabe usangabaza, ungabe usakhohlisa. Labo abenza umbhedo phambi Kwami, labo abaqamba amanga phambi Kwami—sukani ngokushesha! Isikhathi Sami sincane kulezi zinto. (Lapho kuyisikhathi sokwenza umsebenzi bayokwenza umsebenzi, futhi lapho kuyisikhathi sokuhamba bayohamba. Ngenza izinto ngokuhlakanipha, angigeji ngomzuzu noma umzuzwana, angigeji nakancane. Konke kulungile futhi kunemba ngokuphelele.) Kodwa emadodaneni Ami angamazibulo, nginesineke esingapheli futhi ngithanda kuze kube phakade, nginenza ukuba nithokozele izibusiso ezinhle nokuphila okuphakade kanye Nami, futhi okwamanje ningabekezeleli amashwa nokwahlulelwa. (Lokhu kubhekise lapho niqala ukuthokozela izibusiso.) lokhu kuyisibusiso esingapheli nesithembiso kumadodana Ami angamazibulo ngenkathi ngidala umhlaba. Kufanele nibone ukulunga Kwami kuso—ngithanda labo engibanqumele ngaphambili, ngizonda labo engibalahlile futhi ngabasusa, phakade naphakade.

Njengamadodana Ami amgamazibulo, kufanele nonke nibambelele emisebenzini yenu futhi nime ezikhundleni zenu, nibe yizithelo zokuqala ezivuthiwe eziphakanyiswe phambi Kwami futhi namukele ukuhlolwa Yimi mathupha, ukuze niphile emfanekisweni Wami okhazimulayo nangokukhanya kwenkazimulo Yami ngobuso benu, ukuze amazwi Ami akwazi ukusabalaliswa yimilomo yenu, ukuze umbuso Wami uphathwe yini, futhi ukuze abantu Bami babuswe yini. Lapha ngikhuluma “ngezithelo zokuqala ezivuthiwe” nangegama elifana “nokuphakanyiswa.” Ziyini izithelo ezivuthiwe? Emiqondweni yabantu, bacabanga ukuthi yiqembu lokuqala elitholakele, noma ukuthi kubhekise kubanqobi noma abantu abangamadodana angamazibulo. Konke lokhu kuyizinto ezingelona iqiniso futhi kuwukuqonda ngokungekhona amazwi Ami. Izithelo zokuqala ezivuthiwe ngabantu abathole isambulo Kimi futhi abazuze igunya Kimi. Lokhu okubizwa “ngokokuqala okuvuthiwe” kubhekise ekubeni Kimi, ukunqunyelwa ngaphambili nokukhethwa Yimi. “Okokuqala okuvuthiwe” akusho okokuqala kokulandelanayo. “Izithelo zokuqala ezivuthiwe” aziyona into ebonakalayo emehlweni omuntu. Lokhu okubizwa “ngezithelo” kubhekise kokuthile okuthaphuka amakha (lokhu kuwumqondo owuphawu), okungukuthi, labo abaphila Ngokwami, ababonakalisa Mina, nabaphila Nami phakade. Lapho ngikhuluma “ngezithelo” ngibhekise kuwo wonke amadodana nabantu Bami, lapho izithelo zokuqala ezivuthiwe zibhekise kumadodana angamazibulo azobusa njengamakhosi kanye Nami. Ngakho, “okokuqala okuvuthiwe” kufanele kuchazwe njengokuthwele igunya. Yilowo umqondo wangempela. “Ukuphakanyiswa” akukhona ukususwa endaweni ephansi uyiswe endaweni ephakeme njengoba abantu bengacabanga; lokho kuyiphutha elikhulu. “Ukuphakanyiswa” kubhekiswe ekunqumeleni okulandelwa ukukhetha Kwami. Kuqondiswe kubo bonke engibanqumele ngaphambili futhi ngabakhetha. Labo abazuze isikhundla samadodana angamazibulo, isikhundla samadodana Ami, noma abantu Bami, bonke bangabantu abaphakanyisiwe. Lokhu akuhambisani kakhulu nemibono yabantu. Labo abanesabelo endlini Yami esikhathini esizayo bonke ngabantu abaphakanyiswe phambi Kwami. Lokhu kuyiqiniso elingephikwe, elingaguquki neze, futhi alinakuphikiswa ngumuntu. Lokhu wukuhlasela kokududula uSathane. Noma ngubani engimnqumele ngaphambili uyophakanyiswa phambi Kwami.

Umuntu ulichaza kanjani “icilongo elingcwele”? kuyini ukuqonda kwenu ngalokhu? Kungani kuthiwa lingcwele futhi selikhalile? Lokhu kufanele kuchazwe ngezinyathelo zomsebenzi Wami futhi kuqondwe kusukela endleleni yomsebenzi Wami. Isikhathi lapho ukwahlulela Kwami kumenyezelwa ngokuvulelekile yisikhathi lapho kwambulwa khona isimo Sami kuzo zonke izizwe nabantu. Leso yisikhathi okukhala ngaso icilongo. Lokho kusho ukuthi ngihlala ngithi isimo Sami singcwele futhi asideleleki, okungakho “ubungcwele” busetshenziswa ukuchaza “icilongo.” Kuyabonakala kulokhu ukuthi “icilongo” libhekise esimweni Sami futhi kumele lokho engiyikho nenginakho. Kungashiwo futhi ukuthi ukwahlulela Kwami kuqhubeka nsuku zonke, ulaka Lwami kudedelwa nsuku zonke, futhi isiqalekiso Sami sehlela yonke into engahambisani nesimo Sami nsuku zonke. Khona-ke kungashiwo ukuthi lapho isikhathi sokwahlulela Kwami siqala yisikhathi sokushaywa kwecilongo elingcwele, futhi likhala nsuku zonke, ngaphandle kokuma umzuzu noma umzuzwana. Kusuka manje kuya phambili, icilongo elingcwele lizoya ngokuya lizwakala kakhulu ngokwengeziwe lapho kuncipha kancane kancane izinhlekelele ezinkulu. Lokhu kusho ukuthi, kanye nesambulo sokwahlulela Kwami okulungile, isimo Sami siyoya ngokuya siba sobala ngokwengeziwe, futhi engiyikho nenginakho kuyonezelwa ngokwengeziwe emadodaneni Ami angamazibulo. Yile indlela Yami yomsebenzi wesikhathi esizayo: kolunye ohlangothini ukugcina nokusindisa labo engibathandayo, futhi ngakolunye ukusebenzisa amazwi Ami ukwambula bonke labo engibenyanyayo. Khumbula! Le yindlela yomsebenzi Wami, eyiqiniso elingephikwe. Lokhu kuhlelwe Yimi kusuka ekudalweni futhi akunakuguqulwa yinoma ngubani.

Kusekhona izingxenye eziningi zamazwi Ami okulukhuni ukuthi abantu bawaqonde, ngakho ngiphinde ngathuthukisa indlela Yami yokukhuluma nezindlela Zami zokwambula izimfihlakalo. Ngamanye amazwi, indlela Yami yokukhuluma iyaguquka futhi iyathuthuka nsuku zonke, ngesimo nendlela eyehlukile usuku ngalunye. Lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami futhi azikwazi ukuguqulwa yinoma ngubani. Abantu bangakhuluma futhi benze kuphela ngokuhambisana nengikushoyo. Lokhu kuyiqiniso elingephikwe. Ngenze amalungiselelo afanele kukho kokubili isiqu Sami nenyama Yami. Phakathi kwawo wonke umnyakazo naso sonke isenzo sobuntu Bami kukhona ingxenye yokuhlakanipha kobunkulunkulu Bami. (Njengoba isintu singenakuhlakanipha nhlobo, ukuthi amadodana angamazibulo anokuhlakanipha Kwami kubhekise kumadodana angamazibulo anesimo Sami sobunkulunkulu kuwo.) Lapho amadodana angamazibulo enza izinto eziwubuwula, kungenxa yokuthi nisenezici zobuntu kini. Ngakho kufanele nilahle ubuwula bobuntu bese nenza engikuthandayo futhi nilahle engikuzondayo. Noma ngubani ophuma Kimi kufanele abuyele phakathi Kimi. Noma ngubani ozalwa Yimi kufanele aphindele phakathi kwenkazimulo Yami. Labo engibazondayo kufanele balahlwe futhi banqunywe Kimi ngamunye. Lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami; kuwukuphatha Kwami futhi kuwuhlelo Lwami lokudala lweminyaka eyizi-6000. Labo engibalahlayo kufanele balalele futhi bangishiye ngokulalela. Labo engibathandayo kufanele bonke, ngenxa yezibusiso engibanike zona, bangidumise ukuze igama Lami likhazimule nangokwengeziwe, futhi ukukhanya okukhazimulayo kungenezelwa ebusweni Bami obukhazimulayo, ukuze bagcwale ukuhlakanipha Kwami enkazimulweni Yami, futhi bakhazimulise igama Lami nangokwengeziwe ekukhanyeni Kwami okukhazimulayo!

Okwedlule: Isahluko 103

Okulandelayo: Isahluko 105

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp