Ngabe Umsebenzi KaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?

Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu. Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina. Kungakho ngithi, ninenhlanhla. Ngaphezu kwalokho, ususe inkazimulo Yakhe ku-Israyeli, abantu Bakhe abakhethile, wayiletha kini, ukuze afeze inhloso yohlelo Lwakhe ngokugcwele ngani qembu labantu. Ngakho-ke, niyilabo abazothola ifa likaNkulunkulu, futhi ngaphezulu niyizindlalifa zenkazimulo kaNkulunkulu. Mhlawumbe niyawakhumbula nonke la mazwi: “Ngokuba usizi lwethu olulula, olungolwesikhashana, lusisebenzela isilinganiso esiphezulu kakhulu senkazimulo yaphakade.” Esikhathini esedlule, nisizwile nonke lesi sisho, kodwa akekho owayiqonda incazelo eyiqiniso yala mazwi. Namhlanje, nazi kahle ukubaluleka kwalokhu akushoyo. Lawa mazwi ayilokhu uNkulunkulu azokufeza ngezinsuku zokugcina. Futhi azogcwaliseka kulabo abahlushwe ngonya ngukadrako omkhulu obomvu kulelo zwe lapho ekhona. Udrako omkhulu obomvu uhlupha uNkulunkulu futhi uyisitha sikaNkulunkulu, ngakho kuleli zwe, labo abakholwa kuNkulunkulu bazithola behlazeka futhi behlushwa. Kungakho la mazwi ezoba yiqiniso kini qembu labantu. Njengoba umsebenzi wenziwa ezweni eliphikisa uNkulunkulu, wonke umsebenzi Wakhe uhlangabezane nokuvinjelwa okukhulu futhi amazwi Akhe amaningi awakwazi ukugcwaliseka ngesikhathi esifanele; ngakho abantu balungisiwe ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Lokhu futhi kuyingxenye yokuhlupheka. Kunzima kakhulu kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe ezweni likadrako omkhulu obomvu, kodwa kungenxa yobunzima obunjalo lapho uNkulunkulu enza izigaba zomsebenzi Wakhe ziveze ubuhlakani Bakhe nemisebenzi emangalisayo. UNkulunkulu uthatha leli thuba ukuphelelisa leli qembu labantu. Ngenxa yokuhlupheka kwabantu, izinga labo, nesimo sabantu esinobusathane kulo mhlaba ongahlanzekile, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wokuhlanza nokunqoba ukuze kulokhu azuze inkazimulo azuze nalabo abafakaza ngezenzo Zakhe. Lokhu kungukubaluleka kwakho konke ukuzidela kukaNkulunkulu ngenxa yaleli qembu labantu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba ngalabo abamphikisayo. Ukwenza kanjena kuphela okugqamisa amandla amakhulu kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, yilabo abasezweni elingcolile kuphela abafanele ukuthola ifa lenkazimulo kaNkulunkulu, yilokhu kuphela okunganikeza ukugqama kwamandla amakhulu kaNkulunkulu. Yingakho ngithi inkazimulo kaNkulunkulu itholwa ezweni elingcolile nakulabo abahlala kulona. Le yintando kaNkulunkulu. Lokhu kufana nje nasesigabeni somsebenzi kaJesu; wayengakhazimuliswa kuphela phakathi kwalabo baFarisi ababemhlupha. Uma kwakungekhona ukuhlushwa nokukhashelwa nguJudasi, uJesu wayengasoze abe yinhlekisa noma athukwe, ngisho nokubethelwa imbala, futhi ngabe akazange athole inkazimulo. Lapho uNkulunkulu asebenza khona esikhathini ngasinye nalapho enza khona umsebenzi Wakhe wenyama, uthola udumo khona lapho azuze labo ahlose ukubazuza. Lolu uhlelo lomsebenzi kaNkulunkulu, futhi lokhu ukuphatha Kwakhe.

Ohlelweni lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa, umsebenzi owenziwe enyameni unezingxenye ezimbili: Ingxenye yokuqala ngumsebenzi wokubethelwa, lapho ayidunyiselwayo; enye ngumsebenzi wokunqoba nowokupheleliswa ezinsukwini zokugcina, azothola ngawo inkazimulo. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Ngakho, ungawuthathi ngokuthi ulula kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu noma ukuthunywa kwakho nguNkulunkulu. Nonke niyizindlalifa zenkazimulo yaphakade kaNkulunkulu enesisindo esikhulu kakhulu, lokhu kwagcotshwa nguNkulunkulu ngokukhethekile. Kulezi zingxenye ezimbili zenkazimulo Yakhe, enye yambuliwe kini, ukuphelela kwenye ingxenye yenkazimulo kaNkulunkulu kunikezwe nina ukuze kube yifa lenu. Lokhu ukuphakanyiswa okuvela kuNkulunkulu nohlelo Lwakhe olwahlelwa kudala. Ukubona ubukhulu bomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu ezweni lapho udrako omkhulu obomvu ahlala khona, lowo msebenzi uma uyiswa kwenye indawo, ngabe kade wathela izithelo ezinkulu futhi ngabe wamukelwe kalula ngabantu. Umsebenzi onjalo ubungaba lula kakhulu kulabo befundisi baseNtshonalanga abakholwa kuNkulunkulu, ngoba isigaba somsebenzi kaJesu sisebenza njengesandulelo. Yingakho engakwazi ukuzuza lesi sigaba somsebenzi wokudunyiswa kwenye indawo; okusho ukuthi lapho kunokusekwa okuvela kubo bonke abantu nokubonga okuvela kuzo zonke izizwe, ayikho indawo inkazimulo kaNkulunkulu engaphumula kuyo. Futhi lokhu kuwukubaluleka okungavamile impela lesi isigaba somsebenzi esinakho kuleli zwe. Phakathi kwenu, akukho namunye umuntu othola ukuvikelwa komthetho; kodwa niyajeziswa ngumthetho, kanti ubunzima obukhulu ukuthi akekho umuntu oniqondayo, kungaba yizihlobo zenu, abazali benu abangane benu noma ozakwenu emsebenzini. Akekho oniqondayo. Uma uNkulunkulu ekulahla, ayikho indlela ongaqhubeka uphile ngayo emhlabeni. Kodwa-ke, noma kunjalo abantu angeke bakwazi ukushiya uNkulunkulu; lokhu ukubaluleka kokunqotshelwa kwabantu nguNkulunkuku, kanti lokhu kuyinkazimulo kaNkulunkulu. Lokho okuthole njengefa namuhla kwedlula okwabapostoli nabaphrofethi bakudala bonke futhi kukhulu kunalokho okukaMose noPetru. Izibusiso azisoze zitholwe ngelanga noma amabili, kufanele zizuzwe ngokuzidela okukhulu. Okusho ukuthi ufanele ube nothando oluhlanzekile, ukholo olukhulu, namaqiniso amaningi lawo uNkulunkulu akucela ukuba ube nawo; phezu kwalokho, ufanele ukuba ubhekise ubuso bakho kubulungisa ungaze uzigogobeze noma uzibeke phansi, futhi ufanele ukuba nothando olungaguquki futhi olunganciphi kuNkulunkulu. Kudingeka wenze isinqumo, njengoba kunoguquko esimweni sempilo yakho; inkohlakalo yakho kufanele yelashwe, kufanele wamukele konke ukuhlela kuNkulunkulu ngaphandle kokukhononda, futhi ulalele kuze kube sekufeni. Yilokhu okufanele ukuzuze. Lokhu yinhloso yokugcina yomsebenzi kaNkulunkulu, nokudingwa uNkulunkulu kuleli qembu labantu. Njengoba ekunikeza, Naye ke kufanele acele kuwe ukuze akunike lokhu okudingayo nawe. Ngakho-ke, yonke imisebenzi kaNkulunkulu inezizathu, futhi kulokhu kuyabonakala ukuthi kungani uNkulunkulu njalo enza umsebenzi osezingeni eliphakeme nonezidingo eziqinile. Yingakho kufanele ugcwaliswe ngokholo kuNkulunkulu. Ngamafuphi, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngenxa yakho ukuze ufanele ukuthola ifa Lakhe. Lokhu akukona kangako ukuthi uNkulunkulu athole inkazimulo kodwa kungenxa yosindiso lwakho nokuphelelisa leli qembu labantu abahlupheke kakhulu ezweni elingahlanzekile. Kufanele uqonde intando kaNkulunkulu. Ngakho ngishumayeza abaningi abantu abangenalwazi abangenambono noma umqondo: Ungalingi uNkulunkulu futhi unganqabi. uNkulunkulu usekumele konke ukuhlupheka lokho umuntu angakadluli kukona, kanti kudala wahlushwa kakhulu endaweni yomuntu. Yini enye ongeke uhlukane nayo? Yini engabaluleka kakhulu ukwedlula intando kaNkulunkulu? Yini engadlula uthando lukaNkulunkulu? Kuwumsebenzi ongumshikashika ophindiwe kaNkulunkulu ukuba awenze kule lizwe elingahlanzekile. Uma umuntu ona, azi futhi ehlosile, umsebenzi kaNkulunkulu uzofanela ukwelulwa. Vele, lokhu akubi ukuzuza komunye, futhi akuhlomuli muntu. UNkulunkulu akavinjelwa yisikhathi; umsebenzi Wakhe nenkazimulo Yakhe ziza kuqala. Ngakho-ke, noma ngabe kuthatha isikhathi eside kangakanani, angeke ashiye noma ngabe yikuphi ukuzidela uma ngabe kungumsebenzi Wakhe. Lesi yisimo sikaNkulunkulu: Angeke aphumule kuze kufezwe umsebenzi Wakhe. Uma isikhathi sifika kulapho ethola ingxenye yesibili yenkazimulo Yakhe ukuze umsebenzi Wakhe ucishe ufezwe. Uma uNkulunkulu engeqede umsebenzi Wakhe wengxenye yesibili yenkazimulo Yakhe, usuku Lwakhe ngeke lufike, isandla Sakhe angeke sisuke kulabo abakhethile, inkazimulo Yakhe ayisoze yafika ku-Israyeli, kanti uhlelo Lwakhe angeke lwafezwa. Ufanele ukubona intando kaNkulunkulu futhi ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulula njengokudalwa kwezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Umsebenzi wanamuhla ukuguqula labo abonakalisiwe, abandikindiki ngokwedlulele, ukuhlanza labo abadaliwe kodwa bathathwa nguSathane. Akuwona owokudala u-Adamu noma u-Eva, hhayi nokwenza ukukhanya noma ukudala zonke izinhlobo zezithombo nezilwane. Umsebenzi Wakhe manje ukuhlanza bonke labo abonakalisiwe nguSathane ukuze bazuzwe kabusha babe ngabantu Bakhe babe inkazimulo Yakhe. Umsebenzi onjalo awulula njengoba umuntu ecabanga ngokudalwa kwezulu nomhlaba nezinto zonke ezikhona, futhi akufani nomsebenzi wokuqalekisela uSathane emgodini ongenamkhawulo njengoba umuntu ecabanga. Kodwa, ukuguqula umuntu, ukuguqula lokho okungekuhle kube okuhle nokuthatha lokho okungekona okwakhe kube okwakhe. Le indaba yangaphakathi yaleli banga lomsebenzi kaNkulunkulu. Ufanele uyazi, futhi ungenzi lula kakhulu izinto. Umsebenzi kaNkulunkulu awufani nanoma yiwuphi umsebenzi ojwayelekile. Ubukhulu bawo abuqondakali emqondweni womuntu, kanti ubuhlakani bawo angeke baziwe wumuntu. Kulesi sigaba somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akadali zonke izinto kanti futhi akazibhidlizi. Kodwa, uguqula yonke indalo Yakhe ahlanze zonke izinto ezoniwe uSathane. Ngakho-ke uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omkhulu kanti lokhu kuwukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Ngemva kokufunda la mazwi, uyakholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ulula kangaka?

Okwedlule: Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

Okulandelayo: Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp