Isingeniso

Ngomhla kaFebhruwari 11, ngo-1991, uNkulunkulu wakhuluma izwi Lakhe lokuqala ebandleni elaba nomthelela omkhulu kuwo wonke umuntu ngamunye owayephila kuMoya oNgcwele ngaleso sikhathi. Leli zwi lathinta okulandelayo: “Indawo yokuhlala kaNkulunkulu ibonakele” nokuthi “Inhloko yezulu nomhlaba, uKristu wezinsuku zokugcina—uyiLanga elikhanyayo.” Ngala mazwi abaluleke ngokujulile, bonke laba bantu balethwa endaweni entsha. Bonke labo abafunda leli zwi bezwa ukwaziswa ngomsebenzi omusha, umsebenzi omkhulu uNkulunkulu owayezowuqala maduze. Kwakuyileli zwi elihle, elizwakala kamnandi, futhi elinamazwi ambalwa elangenisa sonke isintu emsebenzini omusha kaNkulunkulu nasenkathini entsha, futhi elabeka isisekelo futhi lalungisa indawo yomsebenzi kaNkulunkulu kulokhu kuba sesimweni somuntu. Umuntu angathi izwi elakhishwa nguNkulunkulu ngalesi sikhathi yilona elixhumanisa izinkathi; ukuthi ngokokuqala uNkulunkulu akukhulumile esintwini kusuka ekuqaleni kweNkathi Yomusa; ngaphezu kwalokhu, ukuthi ngokokuqala ekhuluma emva kokulokhu efihlakele iminyaka eyizinkulungwane ezimbili; futhi, okunye, lokhu kuyisingeniso, iqophelo elibalulekile lokuqala, lomsebenzi uNkulunkulu asezowenza eNkathini Yombuso.

Okokuqala uNkulunkulu ekhuluma izwi, wakwenza lokho ngesimo sokuncoma ngokubuka komuntu wesithathu, ngolimi olwaluluhle kakhulu futhi lucwengekile luphinde lube sobala nolwejwayelekile, kanye nokunika ukuphila okwakuqondakala masinyane nakalula. Ngalokhu, wathatha leli qembu elincane labantu, elalazi kuphela indlela yokuthokozela umusa Wakhe ngenkathi lilindele ngokulangazelela ukubuya kweNkosi uJesu, walingenisa ngokuthula kwesinye isigaba somsebenzi ohlelweni lukaNkulunkulu lokuphatha. Kulezi zimo, isintu asazanga, futhi asilokothanga sakucabanga, ukuthi luhlobo luni lomsebenzi uNkulunkulu ayezowenza ekugcineni, noma ukuthi yini eyayikhona endleleni engaphambili. Emva kwalokho, uNkulunkulu waqhubeka nokukhipha amanye amazwi ukuze angenise isintu kancane kancane enkathini entsha. Ngokumangazayo, onke amazwi kaNkulunkulu ehlukile kwakuqukethe futhi ngaphezu kwalokho asebenzisa izimo ezehlukene zokudumisa nezindlela zokukhuluma. La mazwi, afanayo ngephimbo kodwa ahlukene ngokuqukethwe, agcwaliswe ngokungenakuguquka ngemizwa kaNkulunkulu yokunakekela nokukhathalela, futhi cishe yilelo nalelo liphethe amalungiselelo okuphila ngokwehlukile okuqukethwe nangamazwi okukhumbuza, okunxusa, nokududuza asuka kuNkulnkulu eya kumuntu. Kula mazwi iziqephu ezifana nalezi zivela ngokuphindaphindiwe: “UNkulunkulu oyedwa wangempela ube yinyama, uyiNhloko yezulu nomhlaba elawula zonke izinto”; “INkosi enqobile ihleli esihlalweni Sayo esihle kakhulu”; “Uphethe izulu nomhlaba ezandleni Zakhe”; njalo njalo. Kwedluliswa umbiko ngalezi ziqephu, noma umuntu angathi lezi ziqephu zedlulisa umbiko esintwini: UNkulunkulu vele usefikile emhlabeni wabantu, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omkhulu ngokwengenziwe, umbuso kaNkulunkulu sewehlele eqenjini labantu abathile, futhi uNkulunkulu usethole inkazimulo futhi unqobe inqwaba yezitha Zakhe. Lelo nalelo zwi likaNkulunkulu libamba inhliziyo yomuntu ngamunye. Sonke isintu silinde ngokulangezelela ukuba uNkulunkulu anikeze iphimbo nakwamanye amazwi amasha, ngoba njalo lapho uNkulunkulu ekhuluma, ushukumisa inhliziy0 yomuntu ezimpandeni zayo, futhi okungaphezulu kwalokho uphethe futhi usekela konke ukunyakaza nomzwelo womuntu, ukuze isintu siqale ukwethembela futhi, nangokwengeziwe, sazise amazwi kaNkulunkulu…. Ngale ndlela, ngokungazi, abantu abaningi kakhulu ngokukhulu base bekhohliwe yiBhayibheli, futhi baze banikeza ukunaka okuncane ngokwengeziwe ezintshumayelweni nemibhalo eyisidala yabantu bokomoya, ngoba babengakwazi ukuthola emibhalweni yesikhathi esedlule noma yisiphi isisekelo sala mazwi kaNkulunkulu, futhi babengakwazi ukuthola noma kuphi inhloso kaNkulunkulu ekukhulumeni la mazwi. Njengoba kunje, ngabe kwakudingeka kangakanani ukuba isintu sivume ukuthi la mazwi ayiphimbo likaNkulunkulu elalingakaze libonakale noma lizwakale kulokhu kwaqala isikhathi, ukuthi akude nanoma imuphi umuntu okholwa kuNkulunkulu, nokuthi edlula onke amazwi akhulunywe noma yimuphi umuntu ongokomoya owayephila endulo noma nguNkulunkulu esikhathini esedlule. Sikhuthazwa yizwi ngalinye kulawa, isintu sangena singaboni emoyeni womsebenzi woMoya oNgcwele, ekuphileni ezigabeni eziphambili zenkathi entsha. Sigqugquzelwa ngamazwi kaNkulunkulu, isintu, sigcwele ukulangazelela, sezwa ubumnandi bokuholwa mathupha amazwi kaNkulunkulu. Ngikholwa ukuthi lesi sikhathi esedlulayo siyisikhathi wonke umuntu oyosikhumbula ngenkumbulo engapheli, lapho empeleni lokho isintu esakuthokozela ngalesi sikhathi kwakungelutho olungaphezu komoya womsebenzi woMoya oNgcwele, noma umuntu angakubiza ngokuthi ukunambitheka okumnandi kukashukela ogcotshwe ephilisini elingaphansi. Lokhu kungenxa yokuthi, kusuka kuleli qophelo kuya phambili, sisengaphansi kokuqondiswa ngamazwi kaNkulunkulu, sisesemoyeni womsebenzi woMoya oNgcwele, isintu sasiholelwa singazi kwesinye isigaba samazwi kaNkulunkulu, okuyisinyathelo sokuqala emsebenzini owenziwa yizwi likaNkulunkulu eNkathini Yombuso—ukuvivinywa kwabenzi bomsebenzi.

Amazwi akhulunywa ngaphambi kokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi iningi lawo ayesesimweni sokuyala, ukunxusa, ukukhuza, nokuqondisa, futhi kwezinye izindawo ayesebenzisa indlela endala yokukhuluma eyayisetshenziswa eNkathini Yomusa—esebenzisa “Amadodana Ami” kulabo ababelandela uNkulunkulu ukuze kube lula esintwini ukusondela kuNkulunkulu, noma ukuze isintu sithathe ubudlelwane baso noNkulunkulu njengobusondelene. Ngale ndlela, noma ngabe yikuphi ukwahlulela uNkulunkulu akwenza ekuziqhayiseni kwesintu, ukuzidla, nezinye izimo zokukhohlakala, umuntu wayeyokwazi ukubhekana nakho futhi akwamukele ekubeni kwakhe “yindodana,” ngaphandle kokuba nokuphikisana namazwi “kaNkulunkulu uBaba,” ngaphezu kwawo isithembiso “uNkulunkulu uBaba” asenza “emadodaneni” Akhe sasingangatshazwa nhlobo. Ngalesi sikhathi, sonke isintu sathokozela ukuphila okukhululeke ezinkingeni njengokomntwana, futhi lokhu kwafeza inhloso kaNkulunkulu, engukuthi, lapho bengena ebudaleni, wayezoqala ukwenza ukwahlulela kubo. Lokhu futhi kwabeka isisekelo somsebenzi wokwahlulela isintu uNkulunkulu awuqala ngokusemthethweni eNkathini Yombuso. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu kulokhu kuba sesimweni somuntu ikakhulu ngukwahlulela nokunqoba sonke isintu, lapho umuntu egxilisa izinyawo zakhe phansi, uNkulunkulu ngokushesha wangena endleleni yomsebenzi Wakhe—emsebenzini ahlulela kuwo umuntu futhi amsole. Ngokubonakalayo, onke amazwi ngaphambi kokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi akhulunywa ngenxa yokwedlula oguqukweni, inhloso yangempela ingekhona lokhu okwakubonakala iyikho. Inhloso eyayilangazelelwe nguNkulunkulu yayiwukuthi akwazi ngokushesha okukhulu ukuqala umsebenzi Wakhe ngokusemthethweni eNkathini Yombuso. Wayengafisi neze ukuqhubeka nokugqugquzela isintu ngokusifunza amaphilisi agcotshwe ushukela; kodwa, wayelangazelela ukubona ubuso bangempela bawo wonke umuntu phambi kwesihlalo Sakhe sokwahlulela, futhi ngokulangazelela okwengeziwe wayefisa ukubona isimo sangempela somqondo abantu ababeyoba naso emva kokulahlekelwa umusa Wakhe. Wayefisa ukubona kuphela imiphumela, hhayi inqubo. Kodwa ngaleso sikhathi akukho muntu owayeqonda inhloso kaNkulunkulu enokulangazela, ngoba inhliziyo yomuntu yayikhathazeka kuphela ngesiphetho sayo namathemba ekusasa. Akumangazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu kwakuqondiswe isikhathi ngesikhathi, kuso sonke isintu. Kwaba kuphela lapho isintu, ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, siqala ukuphila impilo yabantu ejwayelekile lapho isimo somqondo kaNkulunkulu ngomuntu saguquka khona.

U-1991 wawungunyaka ongajwayelekile; asiwubize lo nyaka “ngonyaka wegolide.” UNkulunkulu waqala umsebenzi omusha weNkathi Yombuso futhi waqondisa izwi Lakhe kuso sonke isintu. Ngesikhathi esifanayo, isintu sathokozela ukufudumala okwakungakaze kubonakale futhi, ngaphezu kwalokho, sezwa ubuhlungu obulandela ukwahlulela umuntu kukaNkulunkulu okungakaze kubonakale. Isintu sezwa ubumnandi obabungakaze baziwe futhi buzwakale, futhi ukwahlulela nokushiywa okwakungakaze kwaziwe, sengathi sasizuze uNkulunkulu, futhi kuphinde kube sengathi sasilahlekelwe uNkulunkulu. Ukuhlupheka unezinto nokuhlupheka ekwesweleni—le mizwa yaziwa kuphela yilabo abayizwe mathupha; iyinto umuntu angenakhono noma indlela yokuyichaza. Amanxeba alolu hlobo ayilokhu uNkulunkulu akubeke phezu kwawo wonke umuntu njengesimo sokuhlangenwe nakho nento yakhe engathinteki. Okuqukethwe ngamazwi akhulunywa nguNkulunkulu kulo nyaka empeleni kuhlukaniseka ngokwezigaba ezimbili: Esokuqala yingxenye lapho uNkulunkulu ehlela emhlabeni wabantu ukuze ameme isintu ukuba size phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi njengezihambeli; okwesibili, ingxenye lapho isintu, sesidle saphuza sasutha, saqashwa khona nguNkulunkulu njengabenzi bomsebenzi. Empeleni akudingi nakushiwo ukuthi ingxenye yokuqala iyisifiso esithandeka nesiqotho kakhulu, ikakhulu ngoba abantu sebejwayele isikhathi eside ukwenza ukuthokozela konke okukaNkulunkulu kube yiwona mgomo wokukholwa Kuye. Kungakho, lapho uNkulunkulu eqala nje ukukhuluma izwi Lakhe, isintu sonke sasikulungele ukungena embusweni futhi salindela lapho ukuba uNkulunkulu ethule imiklomelo ehlukene kuso. Abantu kulezi zimo abazange nhlobo bazikhandle ngokufanele ngokuguqula izimo zabo, ukufuna ukwanelisa uNkulunkulu, ukukhombisa ukucabangela intando kaNkulunkulu, njalo njalo. Ngokubuka okukha phezulu, abantu babebonakala behlala bephithizela ngenkathi bezikhandla futhi besebenzela uNkulunkulu, lapho empeleni babehlela, phakathi ekufihlakaleni kwezinhliziyo zabo, isinyathelo esilandelayo okwakumele basithathe ukuze bazuze izibusiso noma babuse njengamakhosi. Umuntu angasho ukuthi, ngenkathi inhliziyo yomuntu ithokozela uNkulunkulu, ngaso leso sikhathi yayakhela uNkulunkulu amacebo. Isintu kulesi simo sihlangana nokucasuka nokwenyanya okujulile kukaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu asimbekezeleli umuntu omkhohlisayo noma omsebenzisayo. Kodwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu akufinyeleleki kunoma yimuphi umuntu. Kwakuphakathi kokubekezelela konke lokhu kuhlupheka lapho akhuluma khona ingxenye yokuqala yamazwi Akhe. Ukuthi kungakanani ukuhlupheka uNkulunkulu akubekezelela, nokuthi kungakanani ukunakekela nokucabanga akukhipha ngalesi sikhathi, akukho muntu okwazi ukukucabanga. Inhloso yengxenye yokuqala yala mazwi ukuveza zonke izimo ezehlukene zobubi okukhonjiswa umuntu lapho ebhekene nesikhundla nenzuzo, nokuveza ubugovu nokudeleleka komuntu. Noma ngabe, ekukhulumeni, uNkulunkulu uhlela amazwi Akhe ngephimbo eliqotho neliqinile likamama onothando, ulaka olusekujuleni kwenhliziyo Yakhe luvutha njengelanga lesemini, sengathi luqondiswe ezitheni Zakhe. UNkulunkulu akazimisele noma kuziphi izimo ukukhuluma neqembu labantu abantula umfanekiso ojwayelekile wesintu, ngakho, noma nini lapho ekhuluma, ucindezela ulaka oluphakathi enhliziyweni Yakhe ngenkathi ngesikhathi esifanayo ezithiba ukuze akhiphe izwi Lakhe. Okungaphezu kwalokhu, ukhuluma nesintu esintula ubuntu obejwayekile, esingenakho ukucabanga, esikhohlakele kakhulu, nobugovu buyimvelo yaso yesibili, futhi asilaleli siphinde sihlubuke uNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Ukujula uhlanga lwesintu oluwele kukho kucabangeka kalula, futhi ngaphezu kwalokho ukwenyanya nokucasuka kukaNkulunkulu ngesintu kucabangeka kalula, kodwa isintu sinobunzima bokucabanga ukuthi ukulimala esikulethe kuNkulunkulu akunakuchazeka ngamazwi. Kodwa kwakukulesi simo—lapho kungekho muntu owakwazi ukuthola indlela inhliziyo kaNkulunkulu ehlupheka ngayo, futhi ngaphezu kwalokho akekho owathola indlela umuntu angacabangi futhi angalungiseki ngayo—ukuthi wonke umuntu ngamunye, ngaphandle kokuba namahloni namancane noma nechashazi lokungabaza, wakuthatha kalula nje ukuthi wayenelungelo njengamadodana kaNkulunkulu lokwamukela yonke imiklomelo ayeyilungiselelwe umuntu, kuze kube ngisho seqophelweni lokuncintisana, kungekho muntu ofisa ukusala emuva futhi bonke besaba ngokujulile ukungatholi lutho. Kufanele ukuba usuyazi manje ukuthi yiluphi uhlobo lwesikhundla abantu ngaleso sikhathi ababekuso emehlweni kaNkulunkulu. Isintu esinjengalesi singayithola kanjani imiklomelo kaNkulunkulu? Kodwa lokho umuntu akwamukela kuNkulunkulu ngazo zonke izikhathi kungumcebo oyigugu elikhulu, futhi ngokuphambene lokho uNkulunkulu akwamukela kumuntu kuwubuhlungu obukhulu. Kulokhu kwasuka ekuqaleni kobudlelwane phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, lokhu kuyilokhu umuntu ahlala ekwamukela kuNkulunkulu nalokho akubuyisela kuNkulunkulu.

Nakuba uNkulunkulu wayevutha ngokukhathazeka, lapho ebona lolu hlanga lwabantu, olukhohlakele ngokuphelele, wayengenakho angakwenza ngaphandle kokuluphonsa echibini lomlilo ukuze lucwengwe. Lokhu kuyingxenye yesibili yezwi likaNkulunkulu, lapho uNkulunkulu aqasha khona isintu njengabenzi bomsebenzi. Kule ngxenye, uNkulunkulu wasuka kokuthambile waya kokunesihluku, nakokumbalwa waya kokuningi, ngokwakho kokubili indlela yokwenza kanye nobude, esebenzisa isikhundla “somuntu kaNkulunkulu” njengokuyenga ukuze aveze imvelo yomuntu ekhohlakele ngesikhathi esifanayo ethula izigaba ezehlukene [a]zabenzi bomsebenzi, abantu, namadodana ukuze abantu bakhethe kuzo. Ngempela, njengoba uNkulunkulu ayebikezele, akekho owakhetha ukuba ngumenzi womsebenzi kaNkulunkulu, futhi kunalokho bonke balwela ukuba ngabantu bakaNkulunkulu. Ngisho noma, ngalesi sikhathi, isihluku uNkulunkulu ayekhuluma ngaso sasiyinto abantu ababengayilindele futhi bengakaze bezwe ngaso, noma kunjalo, ngokukhathazeka ngokwedlulele ngesikhundla futhi, phezu kwalokho, benake ngokwedlulele ukuzuza izibusiso, babengenasikhathi sokwakha umbono ngephimbo lokukhuluma likaNkulunkulu, nendlela Yakhe yokukhuluma, kodwa kunalokho imiqondo yabo yayilokhu ikhathazwa kakhulu yisikhundla sabo nalokho ikusasa elalingase libaphathele khona. Ngale ndlela, isintu salethwa, singaboni, ngezwi likaNkulunkulu enkimbinkimbini ayeyibekele sona. Bekhangwe, bethanda bengathandi, yihuha lekusasa nesiphetho sabo, abantu babezazi bengakulungele ukuba ngabantu bakaNkulunkulu, kodwa futhi babengabaza ukwenza njengabenzi bomsebenzi. Bedonseka phakathi kwemiqondo ephikisanayo, bavuma benganakile ukwahlulela nokusola okwakungakaze kwenzeke uNkulunkulu akwenza kumuntu. Ngokwemvelo, lolu hlobo lokwahlulela nokucwenga lwaluyinto isintu esasingazimisele nakanjani ukulwamukela. Noma kunjalo, nguNkulunkulu kuphela onokuhlakanipha, futhi nguye kuphela onamandla, okuphoqelela ukuthoba kokuzehlisa kulolu hlanga lwabantu olukhohlakele, ukuze, bezimisele noma bengazimisele, bavume ekugcineni. Isintu asinakho okunye esingakhetha kukho. NguNkulunkulu kuphela onezwi lokugcina. Futhi nguNkulunkulu kuphela owazi ukusebenzisa indlela yokwenza efana nalena yokunikeza iqiniso nokuphila kumuntu futhi amkhombise indlela. Le ndlela yokwenza ingukungagwemeki komsebenzi kaNkulunkulu phezu komuntu, futhi, ngaphandle kokungabaza nokuphikiswa, iyisidingo somuntu esingenakuphikiswa. UNkulunkulu usebenzisa indlela yokwenza efana nalena ukukhuluma nokusebenza ukuze adlulisele leli qiniso esintwini: Ekusindiseni isintu, uNkulunkulu wenza lokhu ngenxa yothando nomusa Wakhe nangenxa yokuphatha Kwakhe; ekwamukeleni insindiso kaNkulunkulu, isintu sikwenza lokho ngenxa yokuthi sesiwele eqophelweni lapho uNkulunkulu engakwazi ukwenza okunye ngaphandle kokukhuluma mathupha. Lapho umuntu amukela insindiso kaNkulunkulu, lona ngumusa omkhulu kakhulu, futhi kungumusa okhethekile, okusho ukuthi, ukuba uNkulunkulu wayenganikanga iphimbo lakhe mathupha ezwini Lakhe, isiphetho sesintu sasiyoba ukushabalala. Ngesikhathi esifanayo nalapho enyanya khona isintu, uNkulunkulu usalungele futhi usazimisele ukukhokha noma yiliphi inani ngensindiso yomuntu. Kuleso sikhathi, lapho umuntu ephindaphinda ukukhuluma ngothando lwakhe lukaNkulunkulu nangendlela anikela ngayo konke kuNkulunkulu, uyamhlubuka uNkulunkulu futhi uphoqelela ukuthola lonke uhlobo lomusa kuNkulunkulu, futhi aze, ngesikhathi esifanayo, alimaze uNkulunkulu futhi alethe ubuhlungu obungenakuchazwa enhliziyweni Yakhe. Unjena umehluko omkhulu wokuzidela nokuzicabangela phakathi kukaNkulunkulu nomuntu!

Ekusebenzeni nasekukhulumeni, uNkulunkulu akavimbekile ekulandeleni noma iyiphi indlela, kodwa wenza inhloso Yakhe ibe ukuthola imiphumela. Ngenxa yalesi sizathu, “emazwini oMoya oNgcwele emabandleni,” wenza isiqiniseko sokuthi angawubeki obala umfanekiso Wakhe ngokucacile, kodwa aveze kuphela amazwi ambalwa anjengathi “uKristu wezinsuku zokugcina,” “iNhloko yezulu nomhlaba,” njalo njalo. Lokho akuthinti nangayiphi indlela inkonzo kaKristu noma ukwazi kwesintu uNkulunkulu, ikakhulu ngenxa yokuthi isintu ngalezo nsuku zokuqala sasingazi lutho nhlobo ngemiqondo “kaKristu” kanye “nokuba sesimweni somuntu,” okwenza uNkulunkulu azehlise ukuze abe umuntu “onomsebenzi okhethekile” ukuze akhulume izwi Lakhe. Lokhu kuyisiboniso senhloso enokucophelela kaNkulunkulu, ngoba abantu ngaleso sikhathi babekwazi kuphela ukwamukela lolu hlobo lokukhuluma. Noma yiluphi uhlobo lokukhuluma uNkulunkulu alusebenzisayo, imiphumela yomsebenzi Wakhe ayithinteki, ngoba kukho konke akwenzayo uNkulunkulu uhlose ukwenza umuntu aguquke, ukwenza umuntu athole insindiso kaNkulunkulu. Noma ngabe wenzani, uNkulunkulu uhlala enezidingo zomuntu emqondweni. Lokhu kuyinhloso yokusebenza nokukhuluma kukaNkulunkulu. Noma ngabe uNkulunkulu unaka ngokugcwele ekucabangeni zonke izingxenye zesintu, futhi uhlakaniphe kakhulu kukho konke akwenzayo, ngingasho lokhu: Ukuba uNkulunkulu akazifakazelanga Ngokwakhe, kwakungeke kube noyedwa phakathi kwesintu esidaliwe okwazi ukubona uNkulunkulu Ngokwakhe noma ukuma ukuze afakaze ngoNkulunkulu Ngokwakhe. Ukuba uNkulunkulu wayelokhu esebenzisa “umuntu onomsebenzi okhethekile” njengendlela yokukhuluma emsebenzini Wakhe, kwakungeke kube khona noyedwa umuntu owayengabona uNkulunkulu njengoNkulunkulu—lokhu kuwusizi lomuntu. Lokho kusho ukuthi, phakathi kohlanga lwabantu abadaliwe akukho muntu ongazi uNkulunkulu, ingasaphathwa-ke eyokuthanda uNkulunkulu, ukukhathazeka ngoNkulunkulu, nokusondela kuNkulunkulu. Ukholo lomuntu ngolokuzuza izibusiso kuphela. Umfanekiso kaNkulunkulu njengomuntu onomsebenzi okhethekile unikeze ukusikisela kuwo wonke umuntu ngamunye: Isintu sikuthola kulula ukuthatha uNkulunkulu njengomunye phakathi kohlanga lwabantu abadaliwe; ubuhlungu nokwehliswa okukhulu kakhulu umuntu akuletha kuNkulunkulu kuwukuthi, lapho ebonakala ngokuvulekile noma esebenza, uNkulunkulu usalahlwa ngumuntu futhi aze akhohlwe nguye. UNkulunkulu ubekezelela ukwehliswa okukhulu ukuze asindise isintu; ekunikeni konke, inhloso Yakhe ukusindisa isintu, ukuthola ukubonwa ngabantu. Inani uNkulunkulu alikhokhile ngenxa yakho konke lokhu liyinto wonke umuntu ononembeza okufanele ayazise. Isintu sesithole ukukhuluma nokusebenza kukaNkulunkulu, futhi sazuza insindiso kaNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, akukafiki kumuntu ukuthi abuze lokhu: Futhi yikuphi okuzuzwe nguNkulunkulu esintwini? Kulelo nalelo zwi likaNkulunkulu, isintu sizuze iqiniso, siphumelele ukuguquka, sithole indlela empilweni; kodwa lokho okuzuzwe nguNkulunkulu akukho ngaphezu kwamazwi akweletwa Yena kanye nokuhleba okumbalwa okuzwakala kancane kokudumisa. Nakanjani lokhu akukhona ukubuyisela lokho uNkulunkulu akufunayo kumuntu?

Nakuba amazwi kaNkulunkulu amaningi esekhulunyiwe manje, iningi labantu basalokhu bemi esigabeni esimelwe “ngamazwi oMoya uNgcwele abhekiswe emabandleni” ekwazini kwabo nasekuqondeni kwabo uNkulunkulu, abangakasuki kukho baye phambili—lesi ngempela yisihloko esibuhlungu. Le ngxenye “yamazwi oMoya oNgcwele abhekiswe emabandleni” ayisihluthulelo nje sokuvula inhliziyo yomuntu; ukuma lapha kuwukusilela kude kakhulu nokugcwalisa inhloso kaNkulunkulu. Inhloso kaNkulunkulu ekukhulumeni le ngxenye yamazwi Akhe kuphela iwukukhipha isintu eNkathini Yomusa isifake eNkathini Yombuso; akafisi neze ukuba isintu silokhu simile kule ngxenye yamazwi Akhe noma size sithathe le ngxenye yamazwi Akhe njengesiqondiso, uma kungenjalo amazwi kaNkulunkulu angesikhathi esizayo ayengeke adingeke noma abe nomqondo. Uma kukhona ongakakwazi ukungena kulokho uNkulunkulu afuna ukuthi umuntu akuthole kule ngxenye yamazwi Akhe, khona-ke ukungena kwalowo muntu kuhlala kungaziwa. Le ngxenye yamazwi kaNkulunkulu iqukethe imfuneko eyisisekelo kakhulu uNkulunkulu ayifuna kumuntu ngeNkathi Yombuso, futhi iwukuphela kwendlela isintu esiyongena ngayo endleleni efanele. Uma ungumuntu ongaqondi lutho, khona-ke kungakuhle uqale ngokufunda amazwi akule ngxenye!

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awunawo umshwana othi “izigaba ezehlukene.”

Okwedlule: Isandulelo

Okulandelayo: Isahluko 1

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp