Isahluko 38

Ngokuya ngokhondolo lwemvelo yesintu, okungubuso boqobo besintu, obukwazile ukuqhubeka kuze kube yimanje bekungeyona into elula, futhi kungenxa yalokhu amandla amakhulu kaNkulunkulu eye abonakala. Ngokusekelwe ngokuthe ngqo enyameni nesenkohlakalweni kadrako omkhulu obomvu kuze kube manje, uma bekungekhona ukuholwa uMoya kaNkulunkulu ngabe ukuphi umuntu namuhla? Umuntu akakufanele ukuza phambi kukaNkulunkulu, kodwa uthanda isintu ngenxa yokuphatha Kwakhe nokuthi umsebenzi wakhe omkhulu ufezeke ngaphambi kwesikhathi eside kakhulu. Eqinisweni, akekho umuntu ongakhokhela isintu uthando lukaNkulunkulu empilweni yaso yonke. Mhlawumbe abanye bayafisa ukukhokhela umusa kaNkulunkulu ngokunikela ngezimpilo zabo, kodwa ngiyakutshela: umuntu akakufanele ukufa phambi kukaNkulunkulu, ngakho ukufa komuntu kuyize. Ngoba kuNkulunkulu ukufa komuntu akufanele nokubalwa nje, nokuthi kungalingana ngisho upeni nje, kufana nokufa kwentuthane emhlabeni. Ngeluleka abantu ukuthi bangaziboni bebaluleke ngokwedlulele, futhi bangacabangi ukuthi ukufela uNkulunkulu kunesisindo sentaba enkulu. Eqinisweni ukufa komuntu yindaba elula njengesibani. Ayifanele ukuphawulwa. Kodwa futhi, inyama yomuntu idalelwe ukufa ngokwemvelo, bese ekugcineni, umzimba wenyama kufanele uphele emhlabeni. Leli yiqiniso eliqotho, futhi akekho ongaliphika. Lo “umthetho wemvelo” engiwuthatha kukho konke umuntu adlule kukho empilweni, ngakho futhi uNkulunkulu unqume isiphetho somuntu ngale ndlela, umuntu engazi. Niyezwa? Akumangalisi ukusho kukaNkulunkulu ukuthi, “Ngenyanya ukungalaleli kwesintu. Angazi ukuthi kungani. Kubonakala sengathi ngazonda abantu ukusuka ekuqaleni, kodwa ngiyabazwela kakhulu. Yingakho abantu behlala benezimo zomqondo ezimbili ngami—ngoba ngiyamthanda umuntu, futhi ngiyamzonda.”

Ubani ongamdumisi uNkulunkulu ngokuba khona Kwakhe noma ngokubonakala Kwakhe? Kulesi sikhathi, sengathi sengikhohlwe ngempela ukungcola nokungalungi okusemntwini. Ukuzilungisa, ukuba ngobalulekile, ukungalaleli, ukweyisa kwesintu nakho konke ukuhlubuka kwakhe—ngikusunduzela konke lokhu ngemuva ukuze ngikukhohlwe. UNkulunkulu akacindezelwa yisimo sesintu. Njengoba uNkulunkulu nami “sabelana ngalokhu kuhlupheka okufanayo,” ngizozikhulula nakule phazili funa ngicindezelwe kakhudlwana ngumuntu. Kungani nizihlupha ngalokho? Njengoba umuntu engazimisele ukuhlanganyela nendlu kaNkulunkulu kanye Nami, ngingawasebenzisa kanjani amandla Ami ukubacindezela? Angenzi izinto ngokuphoqelela amandla Ami phezu kwabo, futhi akumangalisi, ngoba ngizelwe emndenini kaNkulunkulu, kunjalo umuntu Nami sizohlale sihlukile. Lokhu kuholele ekunqobeni okuchobozayo kwanamuhla. Kodwa ngiyaqhubeka nokugwema ubuthakathaka bomuntu; nginokuzikhethela kuphi? Ngabe lokhu akungenxa yokuthi anginamandla? Akumangalisi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukuthatha “umhlalaphansi” kulokhu “kuphathela” kwesintu, futhi ufuna “impesheni” Yakhe. Ngikhuluma ngokombono womuntu, futhi umuntu akalaleli, kodwa uma ngikhuluma njengoNkulunkulu, ngabe bayaqhubeka ngokungalaleli? Mhlawumbe usuku luzofika lapho uNkulunkulu ngempela ezovele “ashiye phansi umsebenzi” “ekuphatheleni” isintu, futhi uma sifika leso sikhathi, izwi likaNkulunkulu lizoba nolaka ngokwedlulele. Namuhla, kungaba ngenxa Yami ukuthi uNkulunkulu ukhulume ngale ndlela, futhi uma lolo suku lufika, uNkulunkulu angeke esafana Nami, “elokhu exoxela izingane izindaba enkulisa ngesineke.” Mhlawumbe engikushoyo akunembi ngokuphelele, kodwa uNkulunkulu uzimisele ukuxegisa isandla Sakhe kancane kumuntu ngenxa nje kaNkulunkulu osesimweni somuntu; ngaphandle kwalokho, kungaba kubi kakhulu ukukucabanga, njengoba uNkulunkulu eshilo, “Ngixegisile ukubamba Kwami kubo kuze kufike ezingeni elithize, ngibavumele ukuba bazitike ngezinkanuko zabo zenyama, ngakho baba nesibindi sokungabambeki, ngaphandle kokuvinjelwa, futhi kungabonakala ukuthi abangithandanga ngeqiniso, ngoba bonke baphila enyameni.” Kungani uNkulunkulu ethi lapha “bazitike ngezinkanuko zabo” futhi “baphila enyameni”? Eqinisweni, la mazwi awadingi ukuthi ngiwahumushe, futhi angaqondwa ngokwemvelo. Mhlawumbe abanye abantu bathi abaqondi, kodwa mina ngizothi niyalazi iqiniso, nokuthi niziba ukungazi. Ngiyakukhumbuza: Kungani uNkulunkulu ethi “ngicela nje umuntu ukuthi asebenzisane Nami”? Kungani uNkulunkulu ethi imvelo yomuntu inzima ukuguquka? Kungani uNkulunkulu enyanya imvelo yomuntu? Khona kambe iyini imvelo yomuntu? Yini okungeyona imvelo yomuntu? Ubani ocabange ngale mibuzo? Mhlawumbe lesi yisihloko esisha kumuntu, kodwa noma kunjalo, ngicela ukuthi abantu basicabangisise, ngaphandle kwalokho nizohlala nicasula uNkulunkulu ngenxa yamazwi afana nalawa “imvelo yomuntu ayinakuguqulwa.” Yikuphi okuhle ekwenzeni ngokungqubuzana naye ngaleyo ndlela? Akukhona nje ukuthi ekugcineni uzicelela inkathazo? Akukhona, ekugcineni, njengokushaya iqanda etsheni?

Eqinisweni, zonke izilingo eziza kumuntu yizifundo lezo uNkulunkulu azifunayo kumuntu. Ngokwenhloso-nqangi kaNkulunkulu, umuntu angazithola lezi zinto, ngisho ngabe kufuneka anikele ngalokho akuthandayo, kusengafezeka. Inkinga ukuthi nje umuntu uhlala ezithanda yena, ngakho uyehluleka ukusebenzisana ngeqiniso noNkulunkulu. UNkulunkulu akaceli kakhulu emntwini. Lokho uNkulunkulu akucela emntwini kufanele ukuba kuzuzwe kalula nangentokozo; ukuthi nje umuntu akazimisele ukuhlupheka ebunzimeni. Njengezingane, bangahlala bonga ukuze bathole openi abambalwa okubonga abazali babo nokufeza umsebenzi okufanele wenziwe. Kodwa besaba ukuthi angeke badle kahle ngokwanele nokuthi izingubo zabo zizoba sobala kakhulu, ngakho ngezizathu ezithile, bathatha uthando nokunakekela kwabazali bakuphonse kude emafwini, sengathi bazoqala ukwenza lokhu ngemva kokuhola imali eningi. Kodwa ngiyabona kulokhu ukuthi abantu abakwazi ukubonisa inhlonipho yokuthanda abazali babo—bangamadodana angahloniphi. Mhlawumbe lokhu sekungaphezu kokufanele, kodwa angikwazi ukutshuzisa okungenamqondo okuphikisana neqiniso. Angikwazi “ukulingisa abanye” ukumelana noNkulunkulu ukuzenelisa mina. Kungenxa yokuthi nje akekho emhlabeni okuhloniphayo okushiwo uNkulunkulu: “Ezulwini, uSathane yisitha Sami, emhlabeni, umuntu yisitha Sami. Ngenxa yenhlangano ephakathi kwezulu nomhlaba, izizukulwana eziyisishiyagalolunye zabo kufanele zithathwe njengezinecala ngokuhlanganyela nabo.” USathane yisitha sikaNkulunkulu; isizathu sokusho lokho ukuthi akamkhokheli uNkulunkulu ngomusa nokulunga Kwakhe okukhulu, kodwa kunalokho “ugwedla ephambana nomsinga,” ngokwenza kanjalo “akambonisi inhlonipho” uNkulunkulu. Ingabe nabantu kabanjalo? Abakhombisi ukuhlonipha “abazali” futhi ababuyiseli ukukhuliswa nokwesekwa “kwabazali” babo. Lokhu kwanele ukukhombisa ukuthi abantu basemhlabeni izihlobo zikaSathane ezulwini. Umuntu noSathane banenhliziyo nemqondo efanayo ekuphikisaneni noNkulunkulu, ngakho akumangalisi ukuthi uNkulunkulu uhlanganisa izizukulwane eziyisishiyagalolunye njengezinecala ngokuhlanganyela futhi akekho ongaxolelwa. Kudala, uNkulunkulu wayenesisebenzi esiyisikhonzi ezulwini ayesibizele ukuphatha isintu, kodwa asizange silalele, senza ngokusekwe esimilweni saso ukuthi sihlubuke uNkulunkulu. Ingabe abantu abahlubukayo abahambeli phambili ukuya kule ndlela? Noma ngabe uNkulunkulu uwaqinisa kanganani “amatomu,” abantu abayeki nhlobo futhi abajiki. Ngokubona Kwami, uma abantu beqhubeka ngale ndlela, bazokonakaliswa, kanti mhlawumbe kungalesi sikhathi lapho nizoqonda khona incazelo yangempela yala mazwi: “umuntu angeke ahlukaniswe emvelweni yakhe endala.” UNkulunkulu usekhumbuze abantu amahlandla amaningi: “Ngenxa yokungalaleli komuntu, ngimshiyile.” Kungani uNkulunkulu ephinda lokhu kaningi? Ingabe uNkulunkulu angaba nonya kangako? Kungani uNkulunkulu ephinda ethi “Angiyena nhlobo nje umuntu”? Ezinsukwini eziningi kungenziwa lutho, ubani ocubungule lezi zindaba ngemininingwane yazo? Nginxusa isintu ukuba senze umzamo othe xaxa emazwini kaNkulunkulu nokuthi bangawathathi kalula; lokhu akunanzuzo kuwena, noma kwabanye. Kungcono ungakusho lokho okungadingi ukushiwo, futhi ungacabangi ngalokho okungadingi ukucatshangwa. Ingabe akulula lokhu? Yikuphi okungalungile okungavela lapha? Ngaphambi kokuba uNkulunkulu amemezele ukuphela komsebenzi Wakhe emhlabeni, akekho ozoyeka “ukunyakaza”; akekho ozogeza izandla zakhe emsebenzini wakhe. Akusona isikhathi manje; ungazenzi isiqondiso sikaNkulunkulu, noma iphikankani. Ngicabanga ukuthi kungaba ngaphambi kwesikhathi ukuma manje kanye nokuyeka ukuya phambili—ucabangani wena?

UNkulunkulu uletha abantu ekusolweni, futhi ubaletha emoyeni wokufa, kodwa ngakolunye uhlangothi yini le uNkulunkulu afuna ukuba umuntu ayenze emhlabeni? Ukuzenza iwadilophu ekhaya? Ayikwazi ukudliwa noma ukwembathwa, kodwa iyabukwa nje. Uma kunjalo, kungani kusetshenziswa izinqubo ezididayo eziningi kangaka, ukwenza abantu bahlupheke kangaka enyameni? UNkulunkulu uthi, “Ngiyabaphelezela baye ‘enkundleni yokubulala,’ njengoba icala lesintu likwenele ukufanela ukusola Kwami.” Ngalesi sikhathi, ingabe uNkulunkulu unabantu abaziyelayo ngokwabo enkundleni yokubulawa? Kungani kungekho muntu obacelela uxolo? Manje abantu kufanele basebenzisane kanjani? Ingabe umuntu angazenza izinto ngaphandle kokuthathwa yimizwa, njengokwahlulela kukaNkulunkulu? Ukusebenza kwala mazwi kuncike kakhulu ezenzweni zomuntu. Njengoba ubaba ehola imali, uma ngemva kwalokho umama engakwazi ukusebenzisana naye, engazi ukuthi aliphathe kanjani ikhaya, ingabe lelo khaya lizoba kusiphi isimo? Bheka isimo sebandla manje; nizocabangani nina njengabaholi? Ningaba nomhlangano lapho wonke umuntu ezokhuluma khona ngakucabangayo. Umama wenza isibhixi sezinto ekhaya, zizoba njani izingane zalo mndeni pho? Izintandane? Izinqibi? Akumangalisi ukuthi uNkulunkulu uthe: “Bonke abantu bacabanga ukuthi ngingubuNkulunkulu obuntula ‘izinga lobuhlakani,’ kodwa ubani oqonda ukuthi ngiyakwazi ukubona ngale kwayo yonke into ekubantu?” Ngokuqondene naleso simo esicace bha, asikho isidingo sokukhuluma ebuNkulunkulwini Bakhe. Njengoba uNkulunkulu esho, “asikho isidingo sokufuna isixazululo esikhulu ngenkingana nje encane.” Ngalesi sikhathi, mhlawumbe kunabantu abanolwazi oluwusizo ngesaga sikaNkulunkulu esithi: “Phakathi kwabantu, abekho abangithandayo.” Ngalesi sikhathi, kunjengoba uNkulunkulu eshilo: “Bonke abantu bagoba amakhanda abo ngokwenqena ngenxa yesimo samanje, kodwa izinhliziyo zabo zihlala zingaqinisekanga.” La mazwi afana nesibonakude. Esikhathini esizayo esiseduze, umuntu uzoya kwesinye isimo. Lokhu kubizwa ngokungafuni ukukhuzwa. Ingabe niyakuqonda yini lokhu? Leyo yimpendulo yale mibuzo emibili kaNkulunkulu: “Ingabe abantu abagwemi yini isono ngenxa yokwesaba ukuthi ngizohamba? Ingabe akulona iqiniso ukuthi abakhalazi ngenxa yokuthi nje besaba ukusolwa?” Eqinisweni, manje abantu bayayekethisa kancane futhi babukeka bekhathele kakhulu, futhi abanantshisekelo nhlobo ekubhekisiseni umsebenzi kaNkulunkulu, banake nje amalungiselelo nezinhlelo zenyama yabo. Ingabe akunjalo?

Okwedlule: Isahluko 36

Okulandelayo: Isahluko 39

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp