Isahluko 5

Uma uNkulunkulu efuna izinto kubantu okulukhuni kubo ukuzichaza, nalapho amazwi Akhe eshaya ngqo enhliziyweni yomuntu nabantu benikela ngezinhliziyo zabo ngokweqiniso Kuye ukuba azithokozele, uNkulunkulu unikeza abantu ithuba lokucabanga, benze isinqumo, bese befuna indlela yokuphila. Ngale ndlela, bonke abangabantu Bakhe bayophinda bafumbathe izandla ngenxa yokuzimisela, bazinikele ngobubona bonke kuNkulunkulu. Abanye, mhlawumbe, bangenza uhlelo bazenzele uhla lwabazokwenza usuku ngosuku, belungiselela ukunyakaza basebenze, benikela eyabo ingxenye yamandla ohlelweni lokuphatha lukaNkulunkulu, ukuze balethe inkazimulo kulolu hlelo nokusheshisa isiphetho salo. Bese kuthi, lapho abantu besabambeke kulesi simo sengqondo, bezibambele eduze kwemiqondo yabo lezi zinto ngenkathi beqhubeka nemisebenzi yabo yansuku zonke, ngenkathi bekhuluma, ngenkathi besebenza, uNkulunkulu ephuthuma elandelisa kulokhu, uyaqala uyakhuluma futhi: “Uma uMoya Wami ukhuluma, uveza isimo Sami ngokuphelele. Niyakuqonda lokhu?” Uma umuntu eqina ekuzimiseleni, uzoqina nasekulangazeleleni ukwazi intando kaNkulunkulu bese kukhula nokufisa ukuthi uNkulunkulu asho akufunayo kuye; ngakho-ke uNkulunkulu uyobanikeza abantu lokho abakufunayo, esebenzisa leli thuba ukubanika amazwi Akhe, akade ahlala elindile, ekujuleni kobubona. Noma la mazwi engabonakala sengathi anesihluku futhi aqinile, kubantu amnandi ngendlela engeqhathaniseke. Zisuka nje, inhliziyo iyaqhakaza ngenjabulo, kube sengathi isintu sisezulwini, noma sesithuthelwe komunye umhlaba, ipharadesi loqobo lomfanekiso mqondo, lapho izindaba zomhlaba ongaphandle zingasasikhathazi ngalutho isintu. Ukuze abantu bangakwenzi, njengoba babenomkhuba wokukwenza kudala, ukukhuluma bengaphandle nokwenza bengaphandle, bese ngalokho behluleka ukujulisa izimpande ezifanele: ukuze kugwemeke lesi siphetho, uma lokho okufiswa yizinhliziyo zabo sekufezekile, nalapho belungiselela ukuyosebenza ngomdlandla omkhulu, uNkulunkulu uyayiguqula indlela Yakhe yokukhuluma ihambisane nesimo sabo somqondo, bese, ngokushesha nokukhululeka, ehlisa lonke ugqozi nentakaso yokholo okusezinhliziyweni zabo. Njengoba uNkulunkulu ethe: “Ingabe nikubonile ukubaluleka okukulokhu?” Noma ngabe kungaphambili noma kungemuva kokuba umuntu ethathe isinqumo, akakuboni ukubaluleka kokwazi uNkulunkulu ekwenzeni Kwakhe noma emazwini Akhe, kodwa ulokhu ecabanga umbuzo othi: “Yini engingayenzela uNkulunkulu? Yilolo udaba olubalulekile!” Yingakho uNkulunkulu ethi: “Ninesibindi sokuzibiza ngabantu Bami ebusweni Bami—aninamahloni, anicabangi!” Lapho eqeda nje uNkulunkulu ukukhuluma la mazwi, abantu bayakhanyelwa, bese, njengoba kwenzeka kumuntu oshaywe wugesi, bephuthuma badonse izandla zabo bazifihle ekuphepheni kwezifuba zabo, besaba ngokujulile ukuvusa ulaka lukaNkulunkulu okwesibili. Ngaphezu kwalokhu uNkulunkulu uphinde wathi: “Kungekudala, abantu abafana nalaba bazoxoshwa endlini Yami. Ungabi yisosha elidala Kimi, ucabanga ukuthi umele ubufakazi Bami!” Ekuzweni amazwi anje, abantu besaba kakhudlwana, kube sengathi babone ibhubesi. Bazi kahle kamhlophe ezinhliziyweni zabo. Kolunye uhlangothi, baqaphile ukuthi bangadliwa yibhubesi kanti kolunye uhlangothi ababoni ukuthi bazobalekelaphi. Kulo mzuzu, isu eliphakathi enhliziyweni yomuntu lishabalala liphele nya. Ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, ngizwa sengathi ngibona yonke ingxenye yehlazo lesintu: Amakhanda agobodisile nokuzenyeza, njengomfundi owehlulwe yisivivinyo sokungena ekolishi, izifiso zakhe eziphakeme, umndeni othokozile, ikusasa eliqhakazile, njalo njalo, konke —kuhlangene neziThuthukiso Ezine kungakashayi Unyaka ka-2000— sekuguquke konke kwaba yinkulumo engenamsebenzi, kwakha isimo esifuze esokuzakhela emqondweni njengesefilimu yesayensi. Lokhu ngukushintshanisa izinto ezingaphili ngezimo eziphilayo, kwenze abantu, ekungezeni lutho kwabo, basukume bame endaweni uNkulunkulu ababeke kuyo. Okubaluleke kakhulu yiqiniso elithi abantu bakwesaba ngokujulile ukulahlekelwa yilesi sikhundla, ngakho babambelela banamathele ezimpawini zezikhundla zabo, benovalo ngokujulile ngokuthi kukhona ongazama ukuzihlwitha. Uma abantu bekulesi simo somqondo, uNkulunkulu akakhathazeki ngokuthi bangase bahlale nje bangenzi lutho, ngalokho-ke uguqula amazwi Akhe okwahlulela awenze amazwi okubuza. Akagcini ngokunikeza abantu ithuba lokuhlaba ikhefu nje, kodwa ubanika ithuba lokuthatha izifiso abebenazo ngaphambi kwamanje, bazilungisele ikusasa: Lokho okungafanele kungalungiswa. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu akakawuqali umsebenzi Wakhe—lokhu kuyinhlanhla enkulu phakathi kwamashwa amakhulu—futhi akubalahli abantu. Ngakho, ke mangiqhubeke nokunika konke ukuzinikela Kuye!

Okulandelayo, ngenxa yokwesaba, ningawashayi indiva amazwi kaNkulunkulu. Bhekani ukuze nibone ukuthi uNkulunkulu unakho yini okusha akufunayo. Nakanjani, niyokuthola okufana nalokhu akufunayo: “Kusukela manje kuya phambili, kuzo zonke izinto kumele ungene eqinisweni lokwenza; ukunyakazisa nje izinsini njengoba kade nenza, angeke kusaniyisa ndawo.” Ukuhlakanipha bukaNkulunkulu bubonakala lapha futhi. UNkulunkulu uhlale emvikele njalo ufakazi Wakhe, bese kuthi lapho ubuqiniso bamazwi esikhathi esedlule sebufike esiphethweni sabo, akukho noyedwa okwazi ukuqonda ulwazi “lweqiniso lokwenza.” Lokhu kwanele ukufakazela iqiniso lokwashiwo nguNkulunkulu ukuthi “Nginquma ukuwenza Mina umsebenzi.” Kumayelana nomqondo wangempela womsebenzi wobunkulunkulu, kuphinde kuhambisane nesizathu sokuthi isintu, emva kokufinyelela esigabeni sokuqala esisha, namanje asikakwazi ukuqonda incazelo eyiyo ngempela yamazwi kaNkulunkulu. Lokhu kungoba esikhathini sakudala iningi labantu lalibambelela ebuqinisweni bamazwi kaNkulunkulu, kanti namuhla abazi lutho ngobuqiniso bokuphila, kodwa baqonda kuphela izingxenye eziludlana nje zala mazwi, abayiqondi injula yawo. Okubaluleke kakhulu, ukuthi namuhla, ekwakheni umbuso, akekho ovunyelwe ukugxambukela, kodwa kufanele kuhlonishwe umthetho kaNkulunkulu njengezidalwa ezisamshini. Kukhumbule kahle lokhu! Njalo uma uNkulunkulu ebhekisa enkathini eyedlule, uqala akhulume ngesimo samanje; le yindlela yokukhuluma eyakha umehluko ocacile phakathi kokuza ngaphambili nokuza ngemuva, bese kuthi ngenxa yalokhu ikwazi ukuthola izithelo ezingcono, yenze abantu bakwazi ukubeka inamuhla eduze kwezolo, bese kuthi ngale ndlela bakubalekele ukuxoveka komehluko phakathi kwalezi zinto zombili. Lokhu kuyingxenye eyodwa nje yokuhlakanipha bukaNkulunkulu, futhi inhloso yabo ngukuthola izithelo zomsebenzi Wakhe. Emva kwalokhu, uNkulunkulu uphinde aveze ububi besintu ukuze abantu bangakhohlwa neze ukudla baphuze amazwi kaNkulunkulu nsuku zonke, nokuthi, ikakhulu, bazazi nsuku zonke futhi bakuthathe lokhu njengesifundo okufanele basifunde nsuku zonke.

Lapho eqeda ukukhuluma la mazwi, uNkulunkulu usezuze umphumela abewuhlosile kwasekuqaleni. Ngakho-ke, ngale kokuqhubeka nokunaka ukuthi isintu siyamuzwa yini, uyakuthinta lokhu ngemisho embalwa, ngoba umsebenzi kaSathane awuhlangene ngalutho nesintu—isintu asinalwazi noluncane ngalokhu. Manje uma ushiya umhlaba womoya, buka futhi ukuthi uNkulunkulu ukubeka kanjani akufunayo esintwini: “Uma ngiphumule lapho ngihlala khona, ngiyabhekisisa: Bonke abantu emhlabeni bafuna ‘ukuhamba bazule umhlaba wonke’ bejahile beya phambili nasemuva, konke lokhu ngoba befuna lapho beya khona, ikusasa labo. Kodwa akekho noyedwa onamandla okwakha umbuso Wami, into engafani ngisho nokudonsa umoya kanye nje.” Emva kokunikezelana ngala magama nabantu uNkulunkulu uyaqhubeka nokubashaya indiva, kodwa uqhubeka nokukhuluma eqhamuka ngasohlangothini lukaMoya, bese, ngala mazwi, eveza izimo ezejwayelekile zempilo yesintu jikelele. Kusobala ukubona, emazwini athi “ukuhamba bazule umhlaba wonke” nathi “bejahile beya phambili nasemuva,” ukuthi impilo yomuntu ayiphethe lutho. Ngaphandle kwensindiso enamandla amakhulu kaNkulunkulu, labo abazalelwe emindenini ekhandlekile ebukhosini baseChina bebeyoqhubeka nokuphila yonke impilo yabo ezeni futhi babengamane baphonseke eHayidesi nasesihogweni befika nje emhlabeni. Ngaphansi kombuso kadrako omkhulu obomvu, bengazi, base bonile kuNkulunkulu, base, ngokwemvelo nangokungazi, bawela ngaphansi kokusolwa kukaNkulunkulu. Ngalesi sizathu uNkulunkulu usethathe labo, “abakhulule ekuhluphekeni” nalabo “abangabongi” wababeka ndawonye ngokwehlukana kwabo, ukuze abantu bazazi ngokucace kakhudlwana, kwakheke kulokhu isithombe esigqamisa umusa Wakhe osindisayo. Akuwenzi umphumela oshaya emhlolweni kangcono lokhu? Kunjalo, akudingi nokuthi ngikubeke ngokusobala kanje ukuthi abantu, besusela engqikithini yokukhuluma kukaNkulunkulu, bayayizwa inhlese yokusola, nakhona lapho, neyensindiso nokuncenga, kanye nomoyana wosizi. Ekufundeni la mazwi, abantu, bengahlosile, bayaqala ukuzwa becindezelekile, futhi bazizwe sebechiphiza izinyembezi.… Kodwa uNkulunkulu ngeke avinjwe yimizwa embalwa yosizi, futhi ngeke, ngenxa yokonakala kwesintu sonke, awuyeke umsebenzi Wakhe wokuqondisa abantu Bakhe futhi afune akufunayo kubona. Ngenxa yalokhu, izihloko Zakhe ziqonda ngqo ezimweni ezinjengalezi zanamuhla, bese, ngaphezu kwalokhu, ememezela esintwini ubukhosi bezinqumo Zakhe zokuphatha, ukuze uhlelo Lwakhe luqhubekele phambili. Yilokho okwenza ukuthi, elandela kulokhu ngokuphuthuma okukhulu futhi engapholisi maseko, uNkulunkulu wethula, kulesi sigaba, umthethosisekelo wezikhathi, umthethosisekelo okufanele ufundwe ngokukhulu ukunakekela lolo nalolo luhlamvu ngaphambi kokuba isintu siyiqonde intando kaNkulunkulu. Akukho sidingo sokugxila kulokhu—kufanele nje bafunde ngokunakekela okuthe xaxa.

Namuhla, nina—leli qembu labantu abalapha—niyilabo okuwukuphela kwabo abakwazi ukuwabona ngokweqiniso amazwi kaNkulunkulu. Noma kunjalo, ekwazini uNkulunkulu abantu banamuhla basilele kude kakhulu kuwo wonke umuntu wakudala. Kulokhu, usobala ngokwanele umsebenzi osewenziwe nguSathane kubantu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi, nezinga osewone ngayo abantu, okukhulu ngendlela yokuthi, nakuba uNkulunkulu esekhulume amazwi amaningi kangaka, isintu namanje asimqondi futhi asimazi uNkulunkulu, esikhundleni salokho sikwazi ukusukuma simphikise obala. Ngakho-ke uNkulunkulu uqhakambisa amadoda asendulo ukugqamisa ukwehluko kwawo kubantu banamuhla, ukunikeza laba bakamuva, bengenamizwa futhi benobuwula benjalo, amaphuzu athintekayo abangasebenzela phezu kwawo. Ngenxa yokuthi abantu abanalwazi ngoNkulunkulu nokuthi abanalo ukholo olumsulwa Kuye, uNkulunkulu usenqume ukuthi isintu asinawo amandla nomqondo, ngakho-ke usephinde, kaninginingi wabakhombisa ukubabekezelela wabanikeza insindiso. Impi ilwiwa ngalezi zinto endaweni yomoya: kuyithemba elingekho likaSathane lokona umuntu kuze kufike ezingeni elithile, enze umhlaba ungcole ube mubi, kanjalo-ke adonsele umuntu obhukwini, abhidlize uhlelo lukaNkulunkulu. Kodwa uhlelo lukaNkulunkulu aluhlosile ukwenza sonke isintu ukuthi sibe ngabantu abamaziyo, kodwa ukukhetha ingxenye ukuba imele bonke, lushiya abanye njengezinsalela, izimpahla ezonakele, abafanele ukuphonswa engqumbini kadoti. Ngakho-ke, noma ngokukaSathane, ukuthatha abantu abambalwa kubonakala kuyithuba elihle kakhulu lokubhidliza uhlelo lukaNkulunkulu, kodwa-ke yini isiphukuphuku esinje esingayazi ngenhloso kaNkulunkulu? Yikho uNkulunkulu athi, kudala, “Ngemboze ubuso Bami ukuze ngingawubuki lo mhlaba.” Siyazi kancane ngalokhu, futhi uNkulunkulu akaceli ukuthi abantu kube khona abakwazi ukukwenza, kodwa uthi ababone akwenzayo njengokumangalisayo nokungaqondakali bese bemhlonipha kakhulu ezinhliziyweni zabo. Uma, njengoba umuntu ecabanga, uNkulunkulu ubeyomsola ngaphandle kokubuka izimo, ngabe wonke umhlaba kade wabhubha. Kwakungeke lokhu kube ukungena emgogeni kaSathane? Ngakho-ke uNkulunkulu usebenzisa amazwi Akhe kuphela ukuthola izithelo anazo emqondweni; akuvamile ukuba nokuza kwamaqiniso. Akuyiso lokhu isibonelo salokhu akusho: “Uma ngingazange nginizwele ngenxa yokweswela ukufaneleka kwenu, ukuqonda kwenu, nolwazi eninalo, nonke ningabhubha ngesikhathi Sami sokulungisa, ningabe nisaba khona emhlabeni. Kodwa kuze kube ukuthi umsebenzi Wami emhlabeni usuphelelisiwe, ngizohlala nginozwelo kubantu”?

Okwedlule: Isahluko 4

Okulandelayo: Isahluko 6

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp