Isahluko 11

Esweni lenyama yomuntu, kubonakala kungekho luguquko emazwini kaNkulunkulu ngale nkathi, okungenxa yokuthi abantu abakwazi ukuqonda imithetho uNkulunkulu akhuluma ngayo, futhi abayiqondi ingqikithi yamazwi Akhe. Emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu abantu abakholwa ukuthi kungabakhona izimfihlakalo ezintsha kula mazwi; ngalokhu, abakwazi ukuphila izimpilo ezintsha ngokumangalisayo, futhi esikhundleni salokho baphila izimpilo ezimi ndawonye nezifile. Kodwa emazwini kaNkulunkulu sibona ukuthi kunezinga elijulile lomqondo, ongaqondakali futhi okungafinyeleleki kuwo kumuntu. Namuhla, ukuba umuntu abe nenhlanhla eyanele yokufunda la mazwi kaNkulunkulu kuyisibusiso esikhulu kunazo zonke ezinye. Ukuba akukho muntu owayengafunda la mazwi, umuntu wayeyoba nokuzidla unomphela, angazazi, angazi ukuthi empeleni unokwehluleka okungakanani. Emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu ajulile, angaqondakali, abantu bayawathokozela ngasese kube khona ukukholwa ngokuyiqiniso ezinhliziyweni zabo, okungathunaziwe ngamanga; izinhliziyo zabo ziba yinto yangempela, hhayi izimpahla mbumbulu. Yilokhu okwenzeka ngempela ezinhliziyweni zabantu. Wonke umuntu unendaba yakhe enhliziyweni yakhe. Kusengathi bathi kubona: Cishe lokhu kwakhulunywa nguye uNkulunkulu uqobo lwakhe—uma kungeyena uNkulunkulu, ngubani omunye obengakhuluma la mazwi? Kungani ngingewakhulume? Kungani ngingakwazi ukwenza umsebenzi onje? Kubonakala ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu uNkulunkulu akhuluma ngaye ungokuyikho ngempela, futhi unguNkulunkulu uqobo lwakhe! Ngeke ngisangabaza. Uma kungenjalo, kungamane kube ukuthi lapho kufika isandla sikaNkulunkulu, siyobe sesedlulile isikhathi sokuzisola!... Yilokhu okucatshangwa ngabantu ezinhliziyweni zabo. Kulungile ukusho ukuthi, kusuka lapho uNkulunkulu eqala ukukhuluma kuze kube namuhla, bonke abantu bebeyobe sebawa ngaphandle kokusekelwa ngamazwi kaNkulunkulu. Kungani wonke lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu uqobo lwakhe, ungenziwa ngumuntu? Ukuba uNkulunkulu akazange asebenzise amazwi ukweseka impilo yebandla, wonke umuntu wayeyonyamalala angaphinde abonakale. Akuwona amandla kaNkulunkulu lawa? Ngabe ngempela ngubugagu bomuntu? Ngabe lokhu kuyiziphiwo eziyizimanga zomuntu? Phinde! Ngaphandle kokuhlinzwa akekho owayengazi ukuthi luhlobo lwegazi eligijima emithanjeni yabo, babengeke bazi ukuthi banezinhliziyo ezingaki, noma ubuchopho obungaki, futhi bonke babeyocabanga ukuthi bayamazi uNkulunkulu. Abazi ukuthi kusenokuphikisa okuphakathi kolwazi lwabo? Akumangalisi ukuthi uNkulunkulu uthi, “Wonke umuntu esintwini kufanele amukele ukubheka koMoya Wami, kufanele abhekisise konke ukukhuluma nokwenza kwakhe, futhi, ngaphezu kwalokho, kufanele abheke izenzo Zami ezimangalisayo.” Kulokhu kuyabonakala ukuthi amazwi kaNkulunkulu akukhona ukuthi awananhloso futhi awanasisekelo. UNkulunkulu akaze aphathe noma ngubani ngokungalungile; ngisho uJobe, nakho konke ukukholwa kwakhe, akalahlwanga—naye wahlinzwa, wasala engenandawo angacashela ihlazo lakhe kuyo. Akukho-ke okungashiwo ngabantu banamuhla. Kanjalo, uNkulunkulu uyaphuthuma uyabuza: “Nizizwa kanjani ngesikhathi sokufika kombuso emhlabeni?” Umbuzo kaNkulunkulu awusho okutheni, kodwa ushiya abantu bemangele: Sizwani? Asikazi ukuthi umbuso uyofika nini, ngakho singakhuluma kanjani ngemizwa? Ngaphezu kwalokhu, asinakho ngisho okuncane okukhomba umkhondo. Uma bekufanele ngizwe okuthile, bekuyoba “ukumangala,” futhi hhayi okunye. Eqinisweni, lo mbuzo awuyona inhloso yamazwi kaNkulunkulu. Phezu kwakho konke, “Uma amadodana Ami nabantu Bami bethutheleka esihlaweni Sami sobukhosi, ngiqala ngokusemthethweni ukwahlulela ngaphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe,” lo musho owodwa uqoqa okwenzekayo kuwo yonke indawo yomoya. Akekho owazi lokho uNkulunkulu afuna ukukwenza endaweni yomoya ngalesi sikhathi, kuze kube semuva kokuba uNkulunkulu ekhulume la mazwi lapho kuba khona ukuphaphama okuncane kubantu. Ngoba kunezinyathelo ezehlukene emsebenzini kaNkulunkulu, umsebenzi kaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba uyehlukahluka. Ngalesi sikhathi, uNkulunkulu ikakhulu usindisa amadodana nabantu bakaNkulunkulu, okusho ukuthi, ekwelusweni yizingelosi, amadodana nabantu bakaNkulunkulu baqala ukukwamukela ukuphathwa nokwephulwa, baqala ngokusemthethweni ukuchitha imizindlo nemicabango yabo, bese bevalelisa ezindleleni zabo zezwe; ngamanye amazwi, “ukwahlulela ngaphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe,” okukhuluma ngakho uNkulunkulu kuyaqala ngokusemthethweni. Ngoba kungukwahlulela kukaNkulunkulu, uNkulunkulu kufanele akhiphe izwi lakhe—kuthi noma elikuqukethe kwehlukahlukana, inhloso ihlala ifana. Namuhla, ngokubuka iphimbo uNkulunkulu akhuluma ngalo, kusengathi amazwi Akhe aqondiswe eqenjini elithile labantu. Empeleni, ngaphezu kwakho konke, la mazwi akhuluma ngemvelo yaso sonke isintu. Asika aqonde ngqo emgogodleni womuntu, awayihawukeli imizwa yomuntu, futhi abembula bonke ubunjalo bomuntu, angashiyi lutho, futhi angadedeli lutho. Kusuka namuhla, uNkulunkulu ngokusemthethweni wembula ubuso bangempela bomuntu, bese ngale ndlela “akhulule izwi loMoya Wami emhlabeni wonke.” Umphumela otholakalayo ekugcineni ukuthi “Ngamazwi Ami, ngizohlanzisisa bonke abantu nezinto phakathi kwakho konke lokho okusezulwini nasemhlabeni, ukuze umhlaba ungabe usangcola futhi wonakale, kodwa ube umbuso ongcwele.” La mazwi ethula ikusasa lombuso, ongumbuso kaKristu ngokugcwele, njengoba uNkulunkulu athi, “Konke kuyizithelo ezinhle, bonke bangabalimi abakhutheleyo.” Ngokwemvelo, lokhu kuyokwenzeka emhlabeni wonke, akugcini nje eChina.

Kulapho kuphela uNkulunkulu eqala ukukhuluma nokwenza lapho abantu beba nolwazi oluncane Ngaye emicabangweni yabo. Ekuqaleni, lolu lwazi luba semicabangweni yabo kuphela, kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi, imicabango yabantu iya ngokuya iba yize futhi ingafaneli ukusetshenziswa ngumuntu; kanjalo, baya bekholwa konke uNkulunkulu akushoyo, kuze kufike lapho bethi “bakha indawo kaNkulunkulu ongokoqobo osekwazini kwabo.” Kusekwazini kwabo kuphela lapho abantu benendawo kaNkulunkulu ongokoqobo. Nokho, empeleni, abamazi uNkulunkulu, futhi abakhulumi lutho ngaphandle kwamazwi angenalutho. Kodwa ekuqhathanisweni nesikhathi esedlule, sebenze inqubekela phambili enkulu, noma kusehluke kakhulu kuNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kungani uNkulunkulu ehlala ethi, “Usuku nosuku ngihambe phakathi kokuhamba kwabantu okungapheli, futhi usuku nosuku ngisebenza ngaphakathi komuntu ngamunye”? Lapho uNkulunkulu esho lezi zinto ngokwengeziwe, abantu bangaziqhathanisa ngokwengeziwe nezenzo zikaNkulunkulu uqobo lwakhe namuhla. Ngoba amazwi kaNkulunkulu akhulunywa ngasohlangothini lwenyama, futhi ekhulunywa kutshenziswa ulimi lwesintu, abantu bayakwazi ukwazisa amazwi kaNkulunkulu ngokuwalinganisa ngokuqhathanisa nezinto ezithintekayo, ngalokho kutholakale umphumela othe xaxa. Ngaphezu kwalokho, kaninginingi uNkulunkulu ukhuluma ngomfanekiso “kaMina” ezinhliziyweni zabantu, “noMina” empilweni yangempela, okwenza abantu bazinikele kakhudlwana ukuhlanza umfanekiso kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi ngale ndlela bazinikele ukwazi nokuxhumana noNkulunkuluuqobo lwakhe Yilokhu ukuhlakanipha kwamazwi kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu esho lezi zinto ngokwengeziwe, iba yinkulu inzuzo yabantu yokwazi uNkulunkulu, yikho uNkulunkulu ethi, “Ukuba angizange ngibe yinyama, umuntu wayengeke angazi, noma ngabe wayengazile, lwalungeke lolo lwazi luhlale lungumcabango nje?” Ngempela, uma kwakufuneka ukuthi abantu bazi uNkulunkulu ngokwemiqondo yabo, kwakuyoba lula kubo, babeyobe bekhululekile futhi bejabule, ngalokho uNkulunkulu wayeyohlala engaqondakali, engeyena ongokoqobo ezinhliziyweni zabantu, okwakuyokhombisa ukuthi uSathane, hhayi uNkulunkulu, uyabusa phezu komhlaba wonke; kanjalo, amazwi kaNkulunkulu athi “Sengibuyisele kimi amandla Ami” abeyohlala engasho lutho unomphela.

Lapho ubunkulunkulu buqala ukusebenza ngokuqondile yisikhathi futhi lapho umbuso wehlela ngokusemthethweni emhlabeni womuntu. Kodwa okushiwo lapha wukuthi umbuso wehlela phakathi kwabantu, hhayi ukuthi umbuso uthatha isimo phakathi kwabantu—ngalokho okukhulunywa ngakho namuhla ukwakhiwa kombuso, hhayi ukuthatha isimo kwawo. Kungani uNkulunkulu ehlala ethi “zonke izinto ziyathula”? Kungasho ukuthi zonke izinto zima ngqi? Kungabe kuthi izintaba ezinkulu ngempela ziyathula? Pho kungani abantu bengakuqondi lokhu? Kungaba ukuthi izwi likaNkulunkulu aliqinisile? Noma uNkulunkulu wenza ihaba? Ngoba yonke into eyenziwa nguNkulunkulu yenziwa esimweni esithile, akekho osaziyo, noma okwazi ukusibona ngamehlo akhe, futhi konke abantu abangakwenza ukulalela uNkulunkulu ekhuluma. Ngenxa yobukhosi uNkulunkulu enza ngabo, lapho uNkulunkulu efika, kusengathi kunoguquko olukhulu olwenzekile ezulwini nasemhlabeni; futhi kuNkulunkulu, kubonakala ukuthi bonke abantu babheke lo mzuzu. Namuhla, amaqiniso asazofika. Abantu basafunde okuncane nje engxenyeni yomqondo osobala wamazwi kaNkulunkulu. Incazelo eyiqiniso isalinde isikhathi lapho beyozihlanza khona imiqondo yabo; kungaleso sikhathi kuphela lapho beyokwazi khona okwenziwa nguNkulunkulu osesimweni somuntu emhlabeni nasezulwini namuhla. Kubantu bakaNkulunkulu eChina akukho kuphela ubuthi bukadrako omkhulu obomvu. Yembulwa kakhudlwana, nangokucace kangcono kanjalo kubo imvelo kadrako omkhulu obomvu. Kodwa uNkulunkulu akakhulumi ngalokhu ngokuqondile, uyathinta nje kancane ngobuthi bukadrako omkhulu obomvu. Ngale ndlela, akayibeki obala ngokuqondile imihuzuko yomuntu, okuwusizo enqubekeleni phambili yomuntu. Inzalo kadrako omkhulu obomvu ayithandi ukubizwa ngesizukulwane sikadrako omkhulu obomvu phambi kwabanye. Kusengathi amagama “udrako omkhulu obomvu” aletha ihlazo phezu kwabo; akekho kubo ozimisele ukukhuluma ngala mazwi, ngalokhu uNkulunkulu uthi kuphela, “lesi sigaba somsebenzi Wami sigxile kakhulu kinina kanti lokhu kungolunye lwezimpawu zokubaluleka kokuba sesimweni somuntu Kwami eChina.” Ngokuqondile, uNkulunkulu uzele kakhulu ukuzonqoba abameleli abangaguquki benzalo kadrako omkhulu obomvu, okuwukubaluleka kokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu eChina.

“Uma ngizizela mathupha phakathi kwabantu, izingelosi ziqala ukusebenza kanye kanye umsebenzi wokwelusa.” Empeleni, akuthathwa ngokomqondo osobala ukuthi uMoya kaNkulunkulu ufika kuphela emhlabeni womuntu lapho izingelosi ziqala umsebenzi wazo phakathi kwezizwe zonke. Esikhundleni salokho, lezi zingxenye ezimbili zomsebenzi—umsebenzi wobunkulunkulu nomsebenzi wokwelusa wezingelosi—zenziwa kanyekanye. Okulandelayo, uNkulunkulu ukhuluma kancane ngokwelusa kwezingelosi. Uma Yena ethi “wonke amadodana nabantu abatholi kuphela izilingo nokweluswa, kodwa futhi kufanele babone, ngamehlo abo, ukuvela kwayo yonke inhlobo yemibono,” abantu abaningi banemicabango eminingi ngegama elithi “imibono.” Imibono isho izigameko ezingezona ezemvelo emiqondweni yabantu. Kodwa okuqukethwe ngumsebenzi kuhlala kuwulwazi lukaNkulunkulu uqobo lwakhe. Imibono iyindlela izingelosi ezisebenza ngayo. Inganikeza abantu imizwa yamaphupho, ibavumela ukuthi babone ubukhona bezingelosi. Kodwa izingelosi zihlala zingabonakali kumuntu. Indlela ezisebenza ngayo phakathi kwamadodana nabantu bakaNkulunkulu ukubakhanyisela nokubakhanyisa, okwengezwa kukho ukuphathwa nokwephulwa kwabo. Azivamile ukwenza izintshumayelo. Ngokwemvelo, ukuxhumana phakathi kwabantu kwehlukile kokwejwayelekile; yilokhu okwenzeka emazweni angaphandle kweChina. Okuqukethwe emazwini kaNkulunkulu wukwembulwa kwezimo zokuphila kwaso sonke isintu—ngokwemvelo, lokhu kuqondiswe kakhulu enzalweni kadrako omkhulu obomvu. Ezimweni ezehlukene zesintu sonke, uNkulunkulu ukhetha labo abangabameleli ukusebenza njengemifuziselo. Kanjalo, amazwi kaNkulunkulu ayabahlubula abantu babe nqunu, bangaboni hlazo. Noma-ke bangabi nasikhathi sokucashela ukukhanya okukhanyayo, bese zibanjwa kweziwudlayo. Izinhlobo eziningi zokuziphatha kwabantu ziyinxakanxaka yemifanekiso, uNkulunkulu aseyipende kusuka ezikhathini zendulo kuze kube namuhla, futhi asazoyipenda kusuka namuhla kuze kube kusasa. Konke akupendayo ububi bomuntu: abanye bakhala emnyameni, kusengathi bakhalela ukubona okungasekho emehlweni abo, abanye bayahleka, abanye bashaywa ngamagagasi amakhulu, abanye bahamba phakathi kwamazombezombe emigwaqo yezintaba, abanye bathungatha emahlane amakhulu, beqhaqhazela wuvalo, njengenyoni yethuswe umsindo nje wosinga lomcibisholo, yesaba kakhulu ukudliwa yizilwane zasendle ezintabeni. Ezandleni zikaNkulunkulu, lokhu kuziphatha okubi kuyizithombe ezithintayo, okungathi ziyaphila, eziningi zazo zimbi kakhulu ukuthi zingabukwa, noma zishwaqise izinwele kubantu futhi zibashiye bedidekile bexakekile. Emehlweni kaNkulunkulu, konke okuvezwa kumuntu akuyilutho olunye ngaphandle kobubi, ngisho kungavusa uzwelo, kusewububi. Isizinda somehluko womuntu kuNkulunkulu siwukuthi ubuthakathaka bomuntu busesijwayezini sokukhombisa umusa kwabanye abantu. Kodwa, uNkulunkulu, ulokhu aba yinto efanayo kumuntu, okusho ukuthi ulokhu enesimo sengqondo efanayo. Akahlali enomusa njengoba abantu becabanga, njengomama onolwazi izingane zakhe ezihlala ziphambili emqondweni wakhe. Empilweni yangempela, ukuba uNkulunkulu wayengafunanga ukusebenzisa izindlela ezehlukene ukunqoba udrako omkhulu obomvu ayikho indlela eyayingenza ukuthi athambele lokhu kuphoxwa, avume ukuthi abhekane nokwehluleka komuntu. Ngokwesimo sikaNkulunkulu, konke okwenziwa nokushiwo ngabantu kuvusa ulaka lukaNkulunkulu, futhi kufanele basolwe. Emehlweni kaNkulunkulu, akukho noyedwa kubona osezingeni elifanele, futhi bonke bayilabo abazoshaywa bawiswe nguNkulunkulu. Ngenxa yezimiso zomsebenzi kaNkulunkulu eChina, nangaphezu kwalokho, ngenxa yemvelo kadrako omkhulu obomvu, nezwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ahleli kulo, uNkulunkulu kufanele agwinye ulaka Lwakhe anqobe yonke inzalo kadrako omkhulu obomvu; kodwa uyohlala njalo eyenyanya inzalo kadrako omkhulu obomvu, okusho ukuthi, uyohlala ekwenyanya konke okuphuma kudrako omkhulu obomvu—futhi lokhu akusoze kwaguquka.

Akekho oseke wazi nesisodwa isenzo sikaNkulunkulu, futhi izenzo Zakhe azikaze zibonwe yilutho. Ngenkathi uNkulunkulu ebuyela eSiyoni, ukwenza isibonelo, ngubani owabona? Ngakho, amazwi anjenga lawa, “Ngiza kubantu buthule, futhi ngihamba ngokunyelela. Ngabe ukhona owake wangibona?” akhombisa ukuthi impela umuntu akanawo amandla okwamukela okwenzeka endaweni yomoya. Esikhathini esedlule, uNkulunkulu wathi lapho ebuyela eSiyoni, “ilanga liyavutha, inyanga iyacwebezela”. Ngenxa yokuthi abantu basabambezelwe yindaba yokubuyela kukaNkulunkulu eSiyoni—ngoba abakakuvumi—uNkulunkulu usho ngokuqondile amazwi “ilanga liyavutha, inyanga iyacwebezela” ukuze ahambisane nemicabango yabantu. Ngenxa yalokho, lapho imicabango yabantu ishaywa ngamazwi kaNkulunkulu, babona ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, babone ukuthi amagama Akhe ajulile futhi awaqondakali, awachazeki kubo bonke. Ngakho, lolu daba balubeka eceleni ngokuphelele, bezwe ukucacelwa okuncane emoyeni wabo, sengathi uNkulunkulu usebuyele eSiyoni, ngakho-ke abantu abayinaki kakhulu le ndaba. Ukusuka lapho kuya phambili, bemukela amazwi kaNkulunkulu ngenhliziyo eyodwa nomqondo owodwa, bangabe besazihlupha ngokuthi inhlekelele iyokwehla emva kokubuyela kukaNkulunkulu eSiyoni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho kuyoba lula khona kubantu ukwamukela amazwi kaNkulunkulu, bagxilise konke ukunaka kwabo emazwini kaNkulunkulu, basale bangenaso isifiso sokucabanga lutho olunye.

Okwedlule: Isahluko 10

Okulandelayo: Isenezelo: Isahluko 2

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp