Ukwenyusa Izinga Kungenxa Yokuthola Insindiso KaNkulunkulu

Ukuthuthukisa izinga labantu kudinga ukuba nithuthukise amakhono enu okuqonda, ukuze nikwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu, futhi nazi indlela yokwenza ngokuvumelana nawo. Lokhu kuyimfuneko eyisisekelo kakhulu. Ngabe akulona yini ukholo oluyindida uma nilandela Mina ngaphandle kokuqonda engikushoyo? Noma ngingakhuluma amazwi amangaki, uma ningakwazi ukufika kuwo, uma ningakwazi ukuwaqonda noma ngabe ngithini, lokhu kusho ukuthi nisilele ezingeni lomqondo. Ngaphandle kwekhono lokuqonda, aniqondi lutho engilushoyo, okwenza kube nzima kakhulu ukufinyelela umphumela ofiselekayo; Kunokuningi engingeke ngikusho kinina ngokuqondile, futhi umphumela ohlosiwe ngeke uzuzwe, okwenza kudingeke, umsebenzi owengeziwe. Ngenxa yokuthi ikhono lenu lokuqonda, ikhono lokubona izinto, kanye namazinga enu okuphila aphansi kakhulu, umsebenzi “wokuphakamisa izinga” kufanele wenziwe kini. Iyona ndlela le edingekayo, ayikho enye indlela, futhi kumele kwenziwe ngale ndlela ukuze ingxenye yemiphumela izuzwe; kungenjalo, wonke amazwi engiwashoyo azoba yize. khona-ke ingabe beningekhunjulwe emlandweni njengezoni? Ingabe beningeke yini nibe abakhohlakele? Anazi ukuthi uyini lo msebenzi owenziwa kinina nokuthi yini edingeka kinina? Kumele nilazi izinga lenu; alikwazi nhlobo ukuhlangabezana nezimfuneko Zami. Ingabe lokhu akubambezeli umsebenzi Wami? Ngokwezinga lenu lamanje kanye nesimilo senu samanje, akekho noyedwa kinina ofanele ukufakaza Ngami, futhi akekho noyedwa ongakwazi nongakumela ukuthwala umthwalo onzima womsebenzi Wami wesikhathi esizayo. Anizizwa yini ninamahloni kakhulu ngalokhu? Uma niqhubeka ngale ndlela, niyosanelisa kanjani isifiso Sami? Kufanele uphile impilo oyinikezwa amathuba. Ungavumeli isikhathi sidlule ngeze—akunagugu ekwenzeni kanjalo. Kumele wazi ukuthi yiziphi izinto okufanele uhlome ngazo. Ungacabangi ukuthi wazi zonke izinto—usenendlela ende okufanele uyihambe! Yini esingakhuluma ngayo nawe uma lingekho nelincanyana kuwena ikhono lokuqonda eliphiwe isintu? Ingabe konke lokhu akulona ize? Futhi ngokobuntu nezinga engilidingayo, akekho noyedwa kinina ofanelekela ngokugcwele. Kunzima ngokwedlulele ukuthola umuntu ofanelekela ukusetshenziswa. Nikholwa ukuthi ningabantu abangakwazi ukungenzela umsebenzi omkhulu, nanokuthi niphathiswe Yimina izinto ezinkulu; eqinisweni, anazi nokuthi ningangena kanjani ezimfundisweni eziningi ezingaphambili kwamehlo enu—pho kungenzeka kanjani ukuba ningene emaqinisweni ajulile? Ukungena kwenu kumele kwenzeke ngendlela ehlelekile futhi kuhambe ngamazinga. Akufanele kube ngokungahlelekile—lokhu akukuhle. Qalani ngokungena ohlangothini olungajulile: Fundani la mazwi umugqa nomugqa nize nizuze ukuqonda nokucaciseleka. Lapho ufunda amazwi kaNkulunkulu, ungabheki nje sengathi ubuka izimbali ngenkathi ugabavula ngehhashi, futhi ungavele wenze ngokugcina icala nje. Futhi ungafunda njalo izincwadi ezikhonjiwe (njengezincwadi zohlelo lolimi noma zokukhuluma nokubhala) ukuze wandise ulwazi lwakho. Ungafundi izincwadi zothando, zemilando yabantu abakhulu, noma lezo ezimayelana nesayensi yezenhlalo; lezi azinanzuzo, kunalokho zingabanga kuphela umonakalo. Kumele wazi konke lokho okumele ungene kukho nokumele ukuqonde. Inhloso yokuthuthukisa izinga labantu iyodwa, ukubenza baqaphele ingqikithi yabo, ukuthi bangobani, isikhundla nokubaluleka kwabo. Kufanele uqonde ukuthi kungani abantu kumele baphishekele iqiniso lokukholwa kuNkulunkulu, nokuthi kwamukelekile na ukuba abantu abalikhuphuli izinga labo manje? Kusemqoka kakhulu nizigcine nifundisekile; ningaphunyukani nalokhu! Kufanele niqonde ukuthi kungani izinga labantu kumele lithuthukiswe, likhushulwe kanjani izinga, futhi yimaphi amaphuzu okuzongenwa kuwona. Kufanele niqonde ukubaluleka kokuphila ngokobuntu obujwayelekile, ukuba kungani lo msebenzi kumele wenziwe, nokuthi abantu kumele bahlelwe kanjani. Lapha ekufundeni kufanele ucacelwe ukuthi yiziphi izingxenye okufanele zifundwe, nokuthi umuntu kufanele angene kanjani. Kufanele nonke nazi ukuthi iyiphi inhloso yokufunda. Akukhona ukuqonda amazwi kaNkulunkulu nokungena eqinisweni? Isiphi isimo esidlangile emabandleni manje? Uma nitshela umuntu ukuthi akafunde, uyakhohlwa ngenjabulo yamazwi kaNkulunkulu. Abenzi lutho usuku lonke ngaphandle kokufunda. Uma ufuna baphile ngobuntu obujwayelekile, banaka kuphela ukuqoqa imizi yabo, ukupheka, noma ukuthenga izinto zokupheka. Bakhathalela lezi zinto kuphela; bagcine bengakwazi ukuphila impilo ejwayelekile yebandla. Seniphambukile ekwenzeni kwenu uma nihlala esimweni samanje. Pho kungani nicelwa ukuthi ningene empilweni yomoya? Konke enikufundayo yilezi zinto ezingeke zinisize ekuzuzeni lokho okudingeka kinina. Ukungena ekuphile namanje kuseyikho okusemqoka kakhulu; isizathu sokwenza lowo msebenzi, kuze kube manje, ukuxazulula izinkinga abantu ababhekana nazo ekuhambeni kwabo. Ukuphakamisa izinga kukuvumela ukuba wazi imvelo yomuntu nomongo womuntu—inhlosongqangi yokwazi lezi zinto ukuba impilo yomoya yabantu ikhule nesimo sabo siguquke. Mhlawumbe uyakwazi ukugqoka kahle futhi ubukeke kahle; mhlawumbe unokuqondisisa kanye nobuhlakani, kepha ekugcineni, uma kufika usuku lokuba uye emsebenzini, awukwazi ukwenza lokho. Yingakho-ke kufanele wazi-ke, okufanele ngabe uyakwenza futhi ngesikhathi uphakamisa izinga lakho. Into ewumgomo lapha ukuguqula wena; ukuphakamisa izinga lengqondo yakho kuyinto eyisengezo. Ngeke kusize uma izinga lakho lingathuthukisiwe, kanti-ke kubi kakhulu uma isimo sakho ngokwemvelo singakwazi ukuguqulwa. Okunye ngaphandle kokunye ngeke kwanele. Ukuba nobuntu obujwayelekile akuchazi ukuthi uthwale ubufakazi obunzima. Okudingekayo kinina akulula kakhulu.

Kulapho izinga lomuntu selithuthuke kangangokuthi abe nomqondo kanye nendlela yokuphila yobuntu obujwayelekile futhi abe nendlela yokungena empilweni—kulapho kuphela ayokwazi khona ukuguquka futhi abe nobufakazi angafakaza ngabo. Uma usuku lokuba ufakazi lufika, kumele uphinde ukhulume ngoguquko empilweni yakho njengomuntu nangolwazi lukaNkulunkulu olungaphakathi kuwena. Inhlanganisela yalezi zingxenye zombili kuphela engubufakazi beqiniso nenzuzo yakho yeqiniso. Ngeke kwenzeke uma uguquko lobuntu lungaphandle kuphela kungenakuqonda ngaphakathi. Ngeke kusize futhi ukuba nokuqonda neqiniso ngaphakathi kodwa unganaki ukuphila impilo ejwayelekile yobuntu. Umsebenzi owenziwe kuwe namhlanje akusiwo owokukhombisa abanye kodwa ukuba kuguqulwe wena. Kudingeka ukuba unake ukuziguqula wena. Ungabhala futhi ulalele nsukuzonke, kodwa ngeke kusebenze uma ungazibandakanyi nezinye izindawo zempilo yakho. Kumele ube nezindlela zokungena kuzo zonke izingxenye. Kufanele ube nempilo ejwayelekile yomuntu ongcwele. Abaningi odade bagqoka njengabesifazane abacebile nabafowethu bagqoka njengabesilisa abacebile noma amakhosi, balahlekelwe ngokuphelele ukuhlonipheka kwabangcwele. Ingxenye eyodwa ukuphakanyiswa kwezinga lomuntu, okungazuzwa ngenhlanhla. Enye ingxenye ebalulekile kakhulu ukudla futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu—lokhu kuwukhiye. Bekungeke kube ukuchithwa kokufunda uma izinga liphakanyisiwe kepha lingasetshenziswanga ngoba ungadlile futhi ungaphuzile amazwi kaNkulunkulu? Izingxenye zombili kumele zihlanganiswe. Kukhulunyelwani ngolwazi ngoNkulunkulu uma kukhulunywa ngalokho okudingekayo kuwena? Ngabe akuve kungenxa yemiphumela yomsebenzi wesikhathi esizayo? Ngemuva kokuba usunqotshiwe, kufanele ube ngufakazi ngohlangene nakho empilweni yakho. Ngeke kwenzeke uma ingaphandle lakho liyinjwayelo yobuntu kodwa ungakwazi ukukhuluma lokho oke wahlangabezana nakho empilweni yakho ngomlomo wakho. Uma unempilo kamoya ejwayelekile, kufanele uzuze ubuntu obujwayelekile, futhi nezingxenye eziningi zempilo ejwayelekile yobuntu zizokwazi ukufundeka ngokuqondana. Ungasho yini ukuthi ukushanela phansi kudinga ukuqeqeshwa okukhethekile? Uma udinga ihora ukuba uzijwayeze ukubamba ama-chopsticks okudla, lokho akwamukelekile kakhulu! Kubandakanyani ukuba umuntu ojwayelekile? Ukuqonda, ingqondo, unembeza kanye nesimilo. Uma ungazuza okujwayelekile engxenyeni ngayinye kulezi zingxenye, ubuntu bakho busesigabeni esifanele. Kumele ufuze umuntu ojwayelekile futhi uziphathise okokholwayo kuNkulunkulu. Akudingeki ukuthi uzuze okuphezulu kakhulu noma uzibandakanye nenkulumo enokuhlakanipha. Kufanele nje ube umuntu ojwayelekile, onomqondo womuntu ojwayelekile, ukwazi ukubona ngale kwezinto, futhi okungenani ubukeke njengomuntu ojwayelekile. Lokhu kuzokwanela. Konke okudingeka kuwena namhlanje kusemandleni akho futhi akukuphoqi ukuthi wenze into engaphezu kwamandla. Akukho magama angenamsebenzi noma umsebenzi ongenamsebenzi ozokwenziwa kuwe. Bonke ububi obukhulunyiwe noma obambuliwe empilweni yakho kufanele bulahlwe. Nikhohlakaliswe uSathane futhi nichichima ubuthi bukaSathane. Okucelwayo ukuba ususe inkohlakalo yesimilo sikaSathane, akukhulunywa lapha ngokuba umuntu ophezulu, noma ongusaziwayo noma umuntu omkhulu. Lokhu akunamsebenzi. Umsebenzi owenziwa kinina uvumelana nalokhu okungaphakathi kinina. Kunemikhawulo kulokhu engikudingayo kubantu. Uma abantu namuhla bonke bebecelwa ukuba baziphathe njengezikhulu zikahulumeni—ukuziqeqesha ekukhulumeni ngephimbo lezikhulu zikahulumeni, noma baqeqeshelwe ukukhuluma ngendlela yabantu abayizikhulu zikahulumeni eziphezulu, noma abaqeqeshwe endleleni nangephimbo lokukhuluma kwababhali bezincwadi, nalokhu ngeke kulunge. Ngeke kuze kutholakale. Ngokuhambisana nezinga lenu bantu, kufanele okungenani nikwazi ukukhuluma ngokuhlakanipha futhi nobunono futhi nichaze izinto ngokucacile. Yilokho kuphela okudingekayo ukuze uhlangabezane nezimfuneko ezidingekayo. Okungenani, uma uthola ukuqondisisa nomqondo nalokho kusalungile. Njengamanje into esemqoka ukulahla isimilo senkohlakalo kaSathane. Kumele ulahle ububi obubonakalayo kuwena. Uma ningakulahlile konke lokhu, ningawuthinta kanjani umqondo osezingeni eliphezulu kanye nokuqondisisa? Abaningi abantu bayabona ukuthi isikhathi sesiguqukile, ngakho abanabo ubuntu noma isineke, futhi kungenzeka ukuthi bangabi nalo uthando noma ukuhlonipheka kwabangcwele. Laba bantu abangenangqondo kakhulu! Ngabe banalo iconsi lobuntu obujwayelekile? Banabo ubufakazi abangakhuluma ngabo? Abanakho ukuqondisisa nomqondo nhlobo. Kunjalo, ezinye zezingxenye zokwenza kwabantu ziphambukile futhi ziyiphutha elidinga ukulungiswa. Kufana nempilo kamoya yabantu abalukhuni yesikhathi esedlule noma ukubukeka kwabo kokungabi namizwa futhi nobuwula—zonke lezi zinto kufanele ziguquke. Uguquko aluchazi ukuthi untule ukuzithiba noma uzitike ngokwenyama, usho noma yini oyifunayo. Ukukhuluma ngobudedengu ngeke kulunge. Ukuziphatha njengomuntu ojwayelekile ukukhuluma ngokuzwakalayo. “Uyebo” usho “uyebo”, “ucha” usho “ucha”. Hlala emaqinisweni futhi ukhulume ngendlela efanele. Ungakhohlisi, ungaqambi amanga. Kumele kwaziwe ukuthi imikhawulo yomuntu ojwayelekile ingafinyelela ekuguquleni isimilo somuntu. Uma lokho kungaziwa ngeke ukwazi ukungena esimweni sokoqobo.

Okwedlule: Khonzani Njengoba Kwakwenza Ama-Israyeli

Okulandelayo: Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp