2. Ukubaluleka KukaNkulunkulu Obe Yinyama

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Le nyama ibaluleke kakhulu esintwini ngoba ungumuntu, futhi unguNkulunkulu kakhulu, ngoba angenza umsebenzi umuntu ovamile oyinyama angeke akwazi ukuwenza, ngoba angasindisa umuntu okhohlakele, ophila Naye emhlabeni. Nakuba efana nomuntu, uNkulunkulu osesimweni somuntu ubaluleke kunawo wonke umuntu obalulekile esintwini, ngoba angenza umsebenzi ongeke wenziwe uMoya kaNkulunkulu, angedlula uMoya kaNkulunkulu ekwethuleni ubufakazi ngoNkulunkulu uqobo, futhi angasizuza kangcono isintu kunoMoya kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, nakuba inyama ivamile futhi ijwayelekile, umnikelo nokubaluleka kwayo ekubeni khona kwesintu kuyigugu kakhulu, ukubaluleka kwangempela kwale nyama akunakucatshangwa umuntu. Nakuba le nyama ingenakumbhubhisa ngokuqondile uSathane, angasebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze anqobe isintu futhi ehlule uSathane, enze uSathane awuthobele ngokugcwele umbuso Wakhe. Ngenxa kaNkulunkulu osesimweni somuntu, uNkulunkulu engakwazi ukunqoba uSathane asindise isintu. Akambhubhisi ngokuqondile uSathane, kodwa uba inyama ukuze enze umsebenzi wokunqoba isintu, esonakaliswe uSathane. Ngale ndlela, ukwazi kangcono ukwethula ubufakazi Kuye uqobo phakathi kwezidalwa, futhi ukwazi kangcono ukusindisa isintu esonakalisiwe. Ukunqoba uSathane kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuwubufakazi obukhulu, kunamandla okuvumisa, ukwedlula ukubhujiswa ngokuqondile kukaSathane nguMoya kaNkulunkulu. UNkulunkulu osenyameni ukulungele kangcono ukusiza abantu ukuthi bazi uMdali, futhi ukulungele kangcono ukwethula ubufakazi Ngaye uqobo phakathi kwezidalwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Into engcono kakhulu ngomsebenzi Wakhe enyameni ukuthi angashiyela isintu amazwi anembayo nentando Yakhe eqondile kulabo abamlalelayo, ukuze ngemva kwalokho abalandeli Bakhe badlulise ngokunembayo wonke umsebenzi Wakhe wenyama nentando Yakhe kuso sonke isintu kulabo abayemukelayo le ndlela. Umsebenzi kaNkulunkulu wasenyameni kuphela phakathi kwabantu ofeza iqiniso lobukhona nokuhlala phakathi kwabantu kukaNkulunkulu. Yilo msebenzi kuphela ogcwalisa isifiso somuntu sokubona ubuso bukaNkulunkulu, ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzwe izwi loqobo likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uqeda inkathi lapho isintu sabona kuphela umhlane kaJehova, bese uqeda nenkolo yesintu kuNkulunkulu ongaqondakali. Ikakhulu, umsebenzi kaNkulunkulu wokugcina osesimweni somuntu uletha sonke isintu enkathini enokwangempela, enobuqobo, futhi ejabulisayo. Akagcini nje ngokuphothula inkathi yomthetho nemfundiso; okubaluleke nakakhulu, wembula esintwini uNkulunkulu ongowempela, ojwayelekile, olungile futhi ongcwele ovula umsebenzi wohlelo lokuphatha, aveze izimfihlakalo nesiphetho sesintu, owadala isintu futhi oqeda umsebenzi wokuphatha futhi obezifihlile izinkulungwane zeminyaka. Uletha inkathi yezinto ezingaqondakali ekupheleni, uphothula inkathi isintu esifisa ngayo ukubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa singakwazi, uqeda inkathi isintu esikhonza ngayo uSathane, futhi aholele sonke isintu enkathini entsha. Konke lokhu kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu enyameni esikhundleni sikaMoya kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni Yakhe, labo abamlandelayo abasagcini nje ngokufuna nokuphumputha lezo zinto ezibonakala zikhona nezibonakala zingekho futhi bayayeka ukuqagela intando kaNkulunkulu ongaqondakali. Lapho uNkulunkulu esakaza umsebenzi Wakhe esenyameni, labo abamlandelayo kufanele badlulisele umsebenzi awenze esenyameni kuzo zonke izinkolo namahlelo, futhi bazokhuluma wonke amazwi Akhe ezindlebeni zaso sonke isintu. Konke okulalelwe yilabo abezwe ivangeli Lakhe kufanele kube amaqiniso omsebenzi Wakhe, kufanele kube yizinto umuntu azibonile futhi wazizwela zona, kufanele kube amaqiniso hhayi inzwabethi. La maqiniso awubufakazi asabalalisa ngabo umsebenzi Wakhe, futhi angamathuluzi awasebenzisayo ekusakazeni umsebenzi. Ngaphandle kokuba khona kwamaqiniso, ivangeli Lakhe lalingeke lisabalale kuwo wonke amazwe nakuzo zonke izindawo; wayengeke akwazi ukunqoba indawo yonke, wayeyogcina ngokukucabanga engqondweni. Umuntu akakwazi ukuthinta umoya futhi akawuboni, futhi umsebenzi wenyama awukwazi ukushiya ubufakazi noma amaqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi uyohlala ekholwa kuNkulunkulu ongaqondakali ongekho. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi ngeke ezwe amazwi uNkulunkulu awakhulume mathupha. Imicabango yomuntu, vele, iyize, ayinakungena esikhundleni sobuso bukaNkulunkulu bangempela; isimo sikaNkulunkulu semvelo, nomsebenzi Wakhe uqobo ngeke umelwe umuntu. UNkulunkulu ongabonakali osezulwini nomsebenzi Wakhe kungalethwa emhlabeni uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ozenzela mathupha umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Lena indlela enhle kakhulu uNkulunkulu avela ngayo kubantu, abantu abambona ngayo uNkulunkulu futhi bazi ubuso Bakhe, ngeke kufezwe uNkulunkulu ongekho esimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Manje, uNkulunkulu ufika ezokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuyiwo kuphela umzimba kaNkulunkulu wokuba senyameni kwesibili, kodwa futhi umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Uyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awukwazi ukubona into ehlukile kweyabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, futhi kuveza sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu asiqonde. Awukufisi kakhulu ukubona uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukuqonda uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo okungekho muntu oke wakwazi ukukutshela zona, futhi uzobuye akutshele amaqiniso ongawaqondi. Uyisango lakho lokungena embusweni, nomqondisi wakho ekungeneni enkathini entsha. Inyama ejwayeleke kanjalo iqukethe izimfihlakalo ezingenakwaziwa. Izenzo Zakhe zingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi awenzayo wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okukhonjiswa uNkulunkulu esintwini ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwenduku Yakhe yensimbi, ungezwa emazwini Akhe ulaka lukaNkulunkulu futhi wazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela uNkulunkulu anakho ngesintu. Umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ukuvumela umuntu ukubona uNkulunkulu osezulwini ephila phakathi kwabantu emhlabeni, futhi nokwenza umuntu ukuthi azi, alalele, ahloniphe, futhi athande uNkulunkulu. Yingakho ebuyele enyameni okwesibili. Nakuba lokho umuntu akubonayo namuhla kunguNkulunkulu ofana nomuntu, uNkulunkulu onekhala kanye namehlo amabili, futhi uNkulunkulu ongamangalisi, ekugcineni uNkulunkulu uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu nomhlaba kungabhekana noguquko olumangalisayo; ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu lingafiphala, umhlaba ungaphenduka isiphithiphithi, futhi sonke isintu singaphila endlaleni nezifo ezibhubhisayo. Uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kwensindiso kaNkulunkulu osenyameni ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ngabe kade abhubhisa sonke isintu esihogweni; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ubuyohlala njalo uyinkosi yezoni nezidumbu ingunaphakade. Kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokuba khona kwale nyama, sonke isintu besizobhekana nenhlekelele engenakugwemeka futhi sithole kunzima ukuphunyuka esijezisweni sikaNkulunkulu esinzima kakhulu ezinsukwini zokugcina. Ngaphandle kokuzalwa kwale nyama ejwayelekile, nonke benizoba sesimweni lapho ukuphila nokufa kungasafiki akukhathaleki ukuthi nikufuna kanjani; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ngalolu suku ubungeke ukwazi ukwemukela iqiniso futhi uze ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Kunalokho, ubuyojeziswa nguNkulunkulu ngenxa yezono zakho ezimbi kakhulu. Uyazi? Ukuba ubengabuyelanga uNkulunkulu enyameni, akekho obezoba nethuba lokusindiswa; futhi ukuba beyingezanga le nyama, uNkulunkulu ngabe kade ayiqeda inkathi endala. Kanjalo, usengakuchitha ukuba senyameni kukaNkulunkulu okwesibili? Njengoba ungazuza kakhulu kangaka kulo muntu ojwayelekile, kungani ungamamukeli Yena kalula?

Umsebenzi kaNkulunkulu yilokhu ongeke wakuqonda. Uma ungaqondi noma isinqumo sakho silungile futhi ungazi noma umsebenzi kaNkulunkulu ungaphumelela, kungani ungazami inhlanhla yakho futhi ubone noma lomuntu ojwayelekile uwusizo olukhulu kuwena, nokuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi omkhulu. Kepha, kufanele ngikutshele ukuthi ngesikhathi sikaNowa, abantu babekade bedla futhi bephuza, beshada futhi beshadisa kwaze kwafika ezingeni lokuthi kungabe kusabekezeleka kuNkulunkulu ukuba akubone, ngakho wathumela uzamcolo omkhulu ukubhubhisa isintu futhi washiya kuphela umndeni kaNowa wabayisishagalombili nazo zonke izinhlobo zezinyoni nezilwane. Ezinsukwini zokugcina, kepha, labo abayogcinwa nguNkulunkulu yilabo abebethembekile Kuye kuze kube sekugcineni. Nakuba zombili kwakuyizikhathi zenkohlakalo enkulu engabekezeleki ukuba ayibone uNkulunkulu, futhi isintu ezinkathini zombili sasikhohlakele ngendlela yokuthi saphika uNkulunkulu njengeNkosi, bonke abantu esikhathini sikaNowa babhujiswa nguNkulunkulu. Isintu ezinkathini zombili samdabukisa kakhulu uNkulunkulu, kepha uNkulunkulu uselokhu enesineke nabantu ezinsukwini zokugcina kuze kube manje. Kungani kunjalo? Awukaze ukucabange lokhu? Uma ungazi ngempela, ake ngikutshele. Isizathu uNkulunkulu ekwazi ukubaphatha ngomusa abantu ezinsukwini zokugcina akukona ukuthi bakhohlakele kancane kunabantu bangesikhathi sikaNowa noma ukuthi bakhombise ukuphenduka kuNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akubekezelele ukubhubhisa abantu ezinsukwini zokugcina lapho ubuchwepheshe sebuthuthuke kakhulu. Kunalokho, ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi adinga ukuwenza eqoqweni labantu ezinsukwini zokugcina futhi lokhu kuzokwenziwa nguNkulunkulu osenyameni uqobo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzokhetha ingxenye yaleli qembu njengalabo abakhethelwa insindiso, isithelo sohlelo Lwakhe lokuphatha, futhi alethe labo bantu enkathini elandelayo. Ngakho, akukhathaleki ukuthi yini, le ntengo enkulu kangaka ekhokhwe uNkulunkulu yonke ibingamalungiselelo omsebenzi wokuthatha Kwakhe wokuba senyameni Kwakhe ezinsukwini zokugcina. Iqiniso ofinyelele kulo namuhla lingenxa yale nyama. Yingoba uNkulunkulu uyaphila enyameni yingakho unethuba lokuphila. Yonke le nhlanhla itholakale ngenxa yalo muntu ojwayelekile. Hhayi lokhu kuphela, kodwa ekugcineni zonke izizwe zizomkhonza lo muntu ojwayelekile, ziphinde zibonge futhi zilalele lo muntukazana ngoba yiqiniso, ukuphila kanye nendlela akulethile ukuze asindise isintu sonke, wadambisa ukungqubuzana phakathi komuntu noNkulunkulu, wanciphisa ibanga phakathi kwabo futhi wavula ukuxhumana phakathi kwemicabango kaNkulunkulu nomuntu. Nguye futhi oselethe udumo olukhulu nakakhulu kuNkulunkulu. Akafanele umuntu ojwayelekile njengaloukuthenjwa nokuthandwa nguwe? Ayifanele inyama ejwayelekile njengale ukubizwa ngoKristu? Ngeke kwenzeke ukuthi umuntu ojwayelekile onjalo abe ukuvezwa kukaNkulunkulu phakathi kwabantu? Akakufanele umuntu onjalo osiza isintu ukuthi siphephe enhlekeleleni ukuthandwa nokugonwa nguwe? Uma ulahla amaqiniso aphuma emlonyeni Wakhe futhi unyanya ukuba khona Kwakhe phakathi kwenu, siyoba yini isiphetho sakho?

Wonke umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina wenziwa ngalo muntu ojwayelekile. Uzobeka konke phezu kwakho, futhi, ngaphezu kwalokho, anganquma yonke into ngawe. Umuntu onjalo angaba njengoba ukholwa: umuntu ojwayeleke ngendlela yokuthi akafanele ukushiwo? Iqiniso Lakhe alanele ukukukholisa ngokuphelele? Ukubona izenzo Zakhe akwanele ukukukholisa ngokuphelele? Noma ukuthi indlela akuholela kuyo, ayifanelekile ukuthi uyilandele? Yini le ekwenza uzizwe umzonda, uphinde umlahle futhi umbalekele? Nguye oveza iqiniso, Nguye onika iqiniso futhi Nguye owenza ukuthi ube nendlela ozoyihamba. Kungenzeka ukuthi namanje awuziboni izimpawu zomsebenzi kaNkulunkulu kula maqiniso? Ngaphandle komsebenzi kaJesu, isintu ngabe asizange sehle esiphambanweni, kodwa ngaphandle kokuba senyameni namuhla, labo abehle esiphambanweni bebengeke bamukeleke kuNkulunkulu noma bangene enkathini entsha. Ngaphandle kokufika kwalo muntu ojwayelekile, ubungeke ube nethuba noma ufaneleke ukubona ubuso bangempela bukaNkulunkulu, ngoba nonke niyilabo ebekufanele ukuthi babhujiswa kudala. Ngenxa yokufika kokuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu, uNkulunkulu usekuxolele futhi wakukhombisa umusa. Noma kunjalo, amazwi okufanele ngikushiye nawo ekugcineni kuseyilawa: Lo muntu ojwayelekile, onguNkulunkulu osenyameni, ubaluleke ngokusemqoka kuwe. Yinto enkulu uNkulunkulu aseyenzile phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abafisa ukuthola ukuphila ngaphandle kokwethembela eqinisweni elikhulunywa uKristu bangabantu abangenangqondo kakhulu emhlabeni, futhi bayilabo abangayamukeli indlela yokuphila elethwe uKristu abalibele ukuphupha. Ngakho ngithi uma abantu bengamamukeli uKristu wezinsuku zokugcina bayohlala bezondwa uNkulunkulu unomphela. UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 1. Kuyini Ukuba Sesimweni Somuntu? Iyini Ingqikithi Yokuba sesimweni Somuntu?

Okulandelayo: 3. Umehluko Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Nomsebenzi WoMoya

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp