J. Ngendlela Yokufuna Ukuthanda UNkulunkulu

436. Ingqikithi kaNkulunkulu akusiyo nje eyokuthi umuntu akholelwe kuye; nangaphezu kwalokho, eyokuthi umuntu athande. Kodwa abaningi kulabo abakholelwa kuNkulunkulu abakwazi ukuthola le “mfihlo.” Abantu abalokothi bamthande uNkulunkulu, noma bazame ukumthanda. Abakaze bathole ukuthi kuningi kakhulu okuthandekayo ngoNkulunkulu, abakaze bathole ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu othanda umuntu, futhi unguNkulunkulu okumele athandwe umuntu. Ukuthandeka kukaNkulunkulu kuvezwa emsebenzini Wakhe: Kuphela ngesikhathi bezizwela umsebenzi Wakhe, kulapho bethola khona ukuthandeka Kwakhe, kuphela ezintweni abadlula kuzo empilweni, yilapho bengajabulela ukuthandeka kukaNkulunkulu futhi ngaphandle kokukubona empilweni engokoqobo, akekho ongakwazi ukuthandeka kukaNkulunkulu. Kuningi kakhulu ongakuthanda ngoNkulunkulu, kodwa ngaphandle kokuhlanganyela Naye abantu abanayo indlela yokukwazi. Okungukuthi, uma uNkulunkulu ubengazange abe yinyama, abantu bebengeke bakwazi ukuhlanganyela Naye ngokoqobo, futhi uma bebengakwazi ukuhlanganyela ngempela Naye, bebengeke futhi bakwazi ukuzizwela umsebenzi Wakhe—ngakho uthando lwabo ngoNkulunkulu beluzokonakaliswa amanga kanye nomcabango. Uthando lukaNkulunkulu ezulwini alubonakali kahle njengothando lukaNkulunkulu emhlabeni, ngokuba ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu ezulwini lwakhiwa imicabango, kunokuba lwakhiwe yilokho abakubone ngamehlo abo, kanye nalokho abadlule kukho. Uma uNkulunkulu efika emhlabeni, abantu bayakwazi ukubona imisebenzi Yakhe kanye nokuthandeka Kwakhe, futhi bayakwazi ukubona konke ngesimo Sakhe soqobo nesijwayelekile, konke okusobala ngokuphindwe ngezikhathi eziyizinkulungwane ngaphezu kolwazi ngoNkulunkulu osezulwini. Akukhathalisekile ukuthi abantu bamthanda kangakanani uNkulunkulu osezulwini, akukho okuphathekayo ngalolu thando, futhi lugcwele imibono yobuntu. Noma ngabe luncane kangakanani uthando lukaNkulunkulu emhlabeni, lolu thando luyabonakala; noma ngabe oluncane lwalo, futhi lusabonakala. UNkulunkulu wenza ukuba abantu bamazi ngomsebenzi obonakalayo, nangalolu lwazi uzuza uthando lwabo. KunjengoPetru: Uma wayengahlalanga noJesu, wayengeke akwazi ukudumisa uJesu. Ngakho, naye, ukuthembeka kakhulu kwakhe kuJesu kwakwakhelwe ekuhlanganyeleni kwakhe noJesu. Ukuze abantu bamthande, uNkulunkulu uzile phakathi kwabantu futhi wahlala nabantu, futhi konke ekwenzela ukuba umuntu abone nokuba akubone ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

437. “Uthando,” njengoba lubizwa kanjalo, lubhekisela emuzweni ohlanzekile futhi ongenabala, lapho usebenzisa khona inhliziyo yakho ukuze uthande, ube nemizwa futhi ucabangele abanye. Othandweni ayikho imibandela, imingcele, kanye negebe. Othandweni azikho izinsolo, inkohliso kanye namanga. Othandweni akukho ukuhwebelana futhi akukho okungcolile. Uma unothando, lokho kusho ukuthi awukhohlisi, awukhonondi, awukhapheli, awuhlubuki, awuthathi noma ufune ukuzuza okuthile noma inani elithile. Uma unothando, uyozinikela ngokuzithandela futhi ubekezelele ubunzima, futhi uyohambisana Nami. Uyodela konke okwakho ngenxa Yami, udele umndeni wakho, ikusasa lakho, ubusha bakho, nomshado wakho. Uma kungenjalo uthando lwakho alulona nhlobo uthando, kodwa luyinkohliso nokukhaphela! Unaluphi uhlobo lothando? Ingabe unothando lweqiniso? Noma olwamanga? Kungakanani osunikele ngakho? Kungakanani osukudelile? Lungakanani uthando engiluthole kini? Ingabe niyazi? Izinhliziyo zenu zigcwele ububi, ukukhaphela nenkohliso, futhi njengoba kunjalo, kungakanani ukungcola okusothandweni lwenu? Ucabanga ukuthi usudele okwanele ngenxa Yami; ukholelwa ukuthi uthando onalo ngami lwanele. Kodwa kungani amazwi nezenzo zakho kuhlale kunokuhlubuka nenkohliso? Niyangilandela, kodwa anilenzi izwi Lami. Ingabe lokhu kubhekwa njengeqiniso? Niyangilandela, kodwa ningibekela eceleni. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa anithembekile Kimi. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa anikwamukeli ukuba khona Kwami. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa aningiphathi njengofanelwe yilokhu engiyikho futhi ngazo zonke izindlela, nenza izinto zibe nzima kimi. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa nizama ukungenza isilima ningikhohlisa kuzo zonke izinto. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangikhonza, kodwa aningesabi. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Nimelana Nami kuzo zonke izinto. Ingabe konke lokhu nikubheka njengothando? Nidele okuningi, lokho kuliqiniso, kodwa anikaze nikwenze engikucela kini. Ingabe lokhu kungabhekwa njengothando? Izibalo ezenziwe ngokucophelela zibonisa ukuthi ayikho nencane inhlansi yothando eninayo Ngami ngaphakathi kini. Ngemva kwale minyaka eminingi yomsebenzi namazwi amaningi engiwashilo, kungakanani okutholile? Ingabe akudingi ukuba nibheke emuva ngokucophelela?

Kucashunwe embhalweni othi “Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

438. Asikho isifundo esibaluleke ukwedlula isifundo sokuthanda uNkulunkulu, futhi kungathiwa isifundo abantu abasifundayo esikhathini sabo sonke sokuphila bekholwa ukuthi ungamthanda kanjani uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma ukholwa kuNkulunkulu kufanele umthande uNkulunkulu. Uma ukholwa kuphela kuNkulunkulu, kodwa ungamthandi, awukalutholi ulwazi ngoNkulunkulu, futhi awukaze umthande uNkulunkulu ngothando lweqiniso olusuka phakathi enhliziyweni yakho, kusho ukuthi ukholo lwakho kuNkulunkulu luyize; uma, okholweni lwakho kuNkulunkulu, awumthandi uNkulunkulu, uphilela ize, futhi impilo yakho yonke iphansi kunazo zonke. Uma, empilweni yakho yonke, ungakaze umthande noma umanelise uNkulunkulu, pho siyini isizathu sokuphila kwakho? Akukhona yini ukusebenzela ize lokho? Okusho ukuthi, uma abantu bezokholwa kuNkulunkulu futhi bathande uNkulunkulu, kufanele benze konke okusemandleni abo bakhokhe inani. Kunokuba bazame ukuziphatha ngendlela ethile ebonakalayo, kufanele bafune ukuqonda kwangempela ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Uma ukuthakasela ukuhlabelela nokudansa, kodwa ungakwazi ukwenza iqiniso, kungashiwo yini ukuthi uyamthanda uNkulunkulu? Ukuthanda uNkulunkulu kudinga ukuthi ufune intando kaNkulunkulu ezintweni zonke, futhi uhlole ujule ngaphakathi kuwe uma wehlelwa yinoma yini, uzama ukuqonda intando kaNkulunkulu, uzama ukubona ukuthi iyini intando kaNkulunkulu kulolu daba, ukuthi yini afisa uphumelele ukuyenza, nokuthi kufanele uyiqikelele kanjani intando Yakhe. Isibonelo: Kwenzeka okuthile okudinga ukuthi ubekezelele nobunzima, okufanele ngaleso sikhathi uqonde ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, nokuthi kufanele uyiqikelele kanjani intando Yakhe. Akumele uzenelise wena: Qala ngokuzibeka eceleni. Ayikho into edeleleke njengenyama. Kufanele uzame ukwanelisa uNkulunkulu, futhi kufanele wenze umsebenzi wakho. Ngemicabango enjalo, uNkulunkulu uzoletha ukukhanyiseleka okukhethekile kuwe kulolu daba, futhi inhliziyo yakho izoduduzeka.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

439. Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngokuthanda uNkulunkulu, njalo njalo. Njengoba kumi kanje, uma uthanda uNkulunkulu ngesizathu sokunakekelwa kwenyama noma ukuthokoza kwesikhashana, ngisho noma, ekugcineni, uthando othanda uNkulunkulu ngalo lufinyelela esicongweni futhi ungaceli lutho, lolu thando olufunayo kusewuthando olungahlanzekile nolungamthokozisi uNkulunkulu. Labo abasebenzisa uthando lukaNkulunkulu ukuze banothise izimpilo zabo eziphansi futhi bavale isikhala ezinhliziyweni zabo yilabo abafuna ukuphila kalula, hhayi labo abafuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Lolu hlobo lothando luphambene nentando yakhe, lungukulandela ukuthokoza komoya, futhi uNkulunkulu akaludingi lolu hlobo lothando. Ngakho, olwakho uthando luwuhlobo luni? UNkulunkulu umthandelani? Lungakanani uthando lweqiniso othanda ngalo uNkulunkulu manje? Uthando lwabantu abaningi phakathi kwenu lunjengalolu olubalwe ngenhla. Lolu hlobo lothando lungakwazi ukugcina isimo samanje kuphela; ngeke lukwazi ukuqhubeka phakade, noma ukuzinza kubantu. Lolu hlobo lothando lunjengembali engatheli izithelo emuva kokuqhakaza yabuna. Ngamanye amazwi, uma sewuthande uNkulunkulu ngaleyo ndlela futhi engekho umuntu ozokuhola endleleni, uzowa. Uma ukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngezikhathi zokuthanda uNkulunkulu futhi ungaguquli lutho esimweni sempilo yakho emva kwalokho, uzoqhubeka nokugutshuzelwa amandla obumnyama, ungakwazi ukuphunyuka, futhi ulokhu ungakwazi ukukhululeka ekuboshweni nasekwenziweni isiwula uSathane. Akekho umuntu onjalo ongazuzwa uNkulunkulu ngokugcwele; ekugcineni, umoya wabo, umphefumulo kanye nomzimba uzobe usangokaSathane. Lokhu akunakuphikiswa. Bonke labo abangakwazi ukuzuzwa nguNkulunkulu ngokugcwele bazobuyela endaweni yabo yokuqala, leyo, ukubuyela kuSathane, futhi bazoya echibini lomlilo nesibabule ukuze bamukele isigaba esilandelayo sokujeziswa uNkulunkulu. Labo abazuzwe uNkulunkulu yilabo abahlubuke kuSathane futhi baphunyuka endaweni ebuswa nguye. Abantu abanjalo bayobalwa ngokugcwele kubantu bombuso. Abantu bombuso bavela kanjalo. Ngabe uzimisele ukuba yilolu hlobo lomuntu? Ngabe uzimisele ukuzuzwa uNkulunkulu? Ngabe uzimisele ngokuphunyuka endaweni ebuswa nguSathane bese ubuyela kuNkulunkulu? Manje ngabe ungokaSathane noma ubalwa phakathi kwabantu bombuso?

Kucashunwe embhalweni othi “Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

440. Umuntu ubelokhu ephila ngaphansi kwendwangu yethonya lobumnyama, eboshiwe ethonyeni likaSathane kungekho ukuphunyuka. Futhi isimo somuntu, emuva kokuguqulwa uSathane, siya ngokuya sikhula ekukhohlakaleni. Umuntu angathi umuntu yilokhu aphila nesimo sakhe senkohlakalo yobusathane, engakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Njengoba kunje, uma umuntu efisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele asuswe ukuzibona engolungileyo, ukuzibona ebalulekile, ukuzidla, ubuqha, nokunye okunjalo, konke okungokwesimo sikaSathane. Uma kungenjalo, uthando lwakhe luwuthando olungemsulwa, olunobusathane, futhi olungeke lugunyazwe uNkulunkulu. Ngaphamdle kokupheleliswa, ukubhekwa, ukwaphulwa, ukuthenwa, ukuqondiswa, ukusolwa, noma ukucwengwa uMoya oNgcwele ngokuqondile, akekho okwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

441. Uma abantu bethintana noNkulunkulu ngezinhliziyo zabo, uma izinhliziyo zabo sezikwazi ukuphendukela kuYena ngokuphelele, lesi isinyathelo sokuqala sothando lomuntu kuNkulunkulu. Uma ufuna ukuthanda uNkulunkulu, kufanele ukwazi ukuphendulela inhliziyo yakho kuYena. Kuyini ukuphendulela inhliziyo yakho kuNkulunkulu? Kulapho konke okuphokophele ngenhliziyo yakho kungenxa yokuthanda nokuzuza uNkulunkulu, lokhu kukhombisa ukuthi uyiphendulele ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ngaphandle kwaNkulunkulu namazwi Akhe, cishe akukho okunye enhliziyweni yakho (umndeni, ingcebo, umyeni, unkosikazi, izingane noma ezinye izinto). Noma ngabe zikhona, azikwazi ukuhlala enhliziyweni yakho, futhi awucabangi ongakwenza amathuba ekusasa lakho kepha uphokophela ekuthandeni uNkulunkulu kuphela. Ngaleso sikhathi uzobe usuyiphendulele ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ake kuthiwe usenza izinhlelo zakho enhliziyweni yakho futhi uyohlezi uphokophele inzuzo yesiqu sakho, uhlale ucabanga uthi: “Ngingasenza nini isicelo esincane kuNkulunkulu? Uzoceba nini umndeni wami? Ngingazithola kanjani izingubo ezinhle? …” Uma uphila kuleso simo kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikaphendukeli kuNkulunkulu ngokuphelele. Uma unamazwi kaNkulunkulu kuphela enhliziyweni yakho futhi ukwazi ukuthandaza kuNkulunkulu futhi usondelane Naye nkathi zonke, kube engathi Useduze kakhulu nawe, kube engathi uNkulunkulu ungaphakathi kuwe futhi nawe ungaphakathi Kuye, uma ukwisimo esifana naleso, kuchaza ukuthi inhliziyo yakho ikeyaba ngaphambi kukaNkulunkulu. Uma uthandaza kuNkulunkulu futhi udla uphuza amazwi Akhe nsuku zonke, uhlezi ucabanga ngomsebenzi webandla, uma ukhombisa ukucabangela intando kaNkulunkulu, usebenzisa inhliziyo yakho ukuthanda Yena ngokweqiniso futhi wanelisa inhliziyo Yakhe, inhliziyo yakho izoba ngekaNkulunkulu. Uma inhliziyo yakho isagcwele ezinto ezinye, okusho ukuthi isagcwele uSathane futhi ayikaguqukeli kuNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu isiguqukele kuNkulunkulu ngokweqiniso, bazoba nothando Lwakhe oluyiqiniso, oluzenzekelayo futhi uzokwazi ukucabangela umsebenzi kaNkulunkulu. Noma ngabe bangaba esimweni sobuwula nokungabi namqondo, bazokwazi ukucabangela okufanele kwendlu kaNkulunkulu, umsebenzi Wakhe, kanye nokushintsha kwesimo sabo. Inhliziyo yabo iyobe iqinisekile. Abanye abantu bahlezi bephakamisa uphawu lwebandla noma ngabe benzani; eqinisweni lokhu kungokuba kuzuze bona. Lolu hlobo lomuntu alunayo inhloso elungile. Akalunganga futhi uyakhohlisa nezinto eziningi azenzayo uzenza ngokufuna ukuthi kuzuze yena. Lolu hlobo lomuntu aluphokophele ukuthanda uNkulunkulu; inhliziyo yakhe kusengeka Sathane futhi ayikwazi ukuguqukela kuNkulunkulu. uNkulunkulu akanayo indlela yokuzuza lolu hlobo lomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Uthando Lwangempela lukaNkulunkulu Luyazenzakalela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

442. Kuzo zonke izigaba zomsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kubantu, ngaphandle kubukeka sengathi ukuxhumana phakathi kwabantu, ongathi yinto edaleke emalungiselelweni enziwa umuntu noma kuvela ekuphazameni nokugxambukela komuntu. Kodwa esithe, sonke isinyathelo somsebenzi, nakho konke okwenzekayo, ukubheja okwenziwe nguSathane phambi kukaNkulunkulu, futhi kudinga ukuthi abantu bame baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu. Thatha isibonelo lapho uJobe wayevivinywa: Esithe, uSathane wabheja noNkulunkulu, futhi okwenzeka kuJobe kwakuyizenzo zabantu, nokugxambukela kwabantu. Emuva kwaso sonke isinyathelo uNkulunkulu asenzayo kini kunokubheja kukaSathane noNkulunkulu—emuva kwakho konke kunempi. Isibonelo, uma unobandlululo kubafowenu nodadewenu, uzoba namazwi ofuna ukuwasho—amazwi ozwa ukuthi ngeke amthokozise uNkulunkulu—kodwa uma ungawasho, uyozwa ungenelisekile ngaphakathi, futhi ngaleso sikhathi, impi izoqala ngaphakathi kuwe: “Ngikhulume noma cha?” Yilokhu-ke okuyimpi. Ngakho, kuyo yonke into ohlangana nayo kunempi, futhi uma kunempi kuwe, ngenxa yokubambisana kwakho nokuhlukumezeka kwakho uNkulunkulu uyasebenza phakathi kwakho. Ekugcineni, ngaphakathi kwakho uyakwazi ukubeka udaba eceleni kanti nentukuthelo iyacima ngokwemvelo. Unjalo-ke umthelela wokubambisana noNkulunkulu. Yonke into abantu abayenzayo idinga ukuthi bakhokhe inani elithile ngokuzikhandla kwabo. Ngaphandle kobunzima bangempela, abakwazi ukwanelisa uNkulunkulu, abasondeli nakancane ekutheni benelise uNkulunkulu, futhi basho iziqubulo ezingasho lutho nje! Lezi ziqubulo ezingasho lutho zingamanelisa yini uNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu noSathane belwa embusweni kamoya, kufanele umenelise kanjani uNkulunkulu, futhi kufanele ume kanjani uqine ebufakazini bakho Kuye? Kufanele wazi ukuthi yonke into eyenzeka kuwe ingukuvivinywa okukhulu futhi yisikhathi lapho uNkulunkulu ekudinga ukuthi ube nobufakazi. Ngaphandle, azibukeki zibalulekile kangako, kodwa lapho lezi zinto zenzeka ziyakhombisa ukuthi uyamthanda yini uNkulunkulu noma cha. Uma umthanda, uyokwazi ukuma ebufakazini bakho Kuye, futhi uma ungalukhombisi uthando Lwakhe, lokhu kukhombisa ukuthi awuyena umuntu owenza iqiniso, ukuthi awuyena ongenalo iqiniso, futhi awunakho ukuphila, nokuthi ungamakhoba! Yonke into eyenzeka kubantu ilapho uNkulunkulu ebadinga ukuthi bame baqine ebufakazini babo Kuye. Ayikho into enkulu eyenzeke kuwe njengamanje, futhi awunabo ubufakazi obukhulu, kodwa yonke imininingwane yempilo yakho yansuku zonke iphathelene nobufakazi bakho kuNkulunkulu. Uma ungawina ukunconywa ngabafowenu nodadewenu, amalungu omndeni wakho, kanye nabo bonke abaseduze nawe; uma, ngelinye ilanga, abangakholwa befika, futhi bethanda konke okwenzayo, futhi bebona ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuhle kakhulu, uyobe wethule ubufakazi. Nakuba ungenakuqonda futhi izinga lakho liphansi, ngokupheleliswa kwakho nguNkulunkulu, uyakwazi ukumanelisa nokuqikelela intando Yakhe, ukhombise abanye ukuthi Wenze umsebenzi omkhulu kangakanani kubantu abasezingeni eliphansi kunabo bonke. Lapho abantu befinyelela ekwazini uNkulunkulu, futhi beba ngabanqobi phambi kukaSathane, bathembeke kakhulu kuNkulunkulu, khona-ke akekho oba nesibindi ngaphezu kwaleli qembu labantu, futhi lokhu kuwubufakazi obukhulu kakhulu. Nakuba ungakwazi ukwenza umsebenzi omkhulu, uyakwazi ukwanelisa uNkulunkulu. Abanye abakwazi ukubeka eceleni imibono yabo, kodwa wena uyakwazi; abanye abakwazi ukwethula ubufakazi kuNkulunkulu ngesikhathi bedlula kulokho ababhekane nakho, kodwa uyakwazi ukusebenzisa isimo nezenzo zakho zoqobo ukubuyisela uthando lukaNkulunkulu nokwethula ubufakazi obuqanda ikhanda Kuye. Yilokhu kuphela okungathathwa njengokuthanda uNkulunkulu ngokoqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

443. Ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba neqiniso kakhulu; ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba nothando lukaNkulunkulu kakhulu; futhi ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kungesikhathi ubusiswa kakhulu uNkulunkulu. Uma uhlala wenza ngale ndlela, uthando lukaNkulunkulu kuwe kancane kancane, luyokwenza ubone, njengoba uPetru athola ukwazi uNkulunkulu: UPetru wathi uNkulunkulu akanakho ukuhlakanipha kokwenza amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, ngaphezu kwalokho, unokuhlakanipha kokwenza umsebenzi wangempela kubantu. UPetru wathi akafanelwe uthando lwabantu kuphela ngenxa yokudala Kwakhe amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, naphezu kwalokho, ngenxa yekhono Lakhe lokudala umuntu, ukusindisa umuntu, ukwenza umuntu apheleliswe, kanye nokushiyela umuntu uthando Lwakhe. Ngakho, naye, uPetru washo ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lomuntu. UPetru wathi kuJesu: “Awufanelwe yini uthando lwabantu kakhulu kunokudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke? Kuningi Kuwe okuthandekayo. Uyenza futhi unyakaze empilweni yangempela, uMoya Wakho ungithinta ngaphakathi, uyangiyala, uyangihlanza—lezi zinto zilufanele kakhulu uthando lwabantu.” Uma ufuna ukubona nokuzwa uthando lukaNkulunkulu, khona-ke kumele uhlole futhi ufune impilo yangempela, futhi kumele ukulangazelele ukubeka eceleni inyama yakho. Kumele wenze lesi sinqumo. Kufanele ube umuntu onesinqumo, okwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezintweni zonke, ngaphandle kokuvilapha, noma ukuhalela ukuthokozisa inyama, hhayi ukuphilela inyama kodwa ukuphilela uNkulunkulu. Kungenzeka kube nezikhathi lapho ungamenelisi uNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi awuyiqondi intando kaNkulunkulu; ngesikhathi esilandelayo, nakuba kuzodinga umzamo omkhulu, kumele umanelise, unganelisi inyama. Uma uhlangabezana nalokhu, uyobe usufikile ekwazini uNkulunkulu. Uyobona ukuthi uNkulunkulu wakwazi ukudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke, ukuthi uye waba yinyama ukuze abantu bambone ngempela, futhi bahlanganyele Naye, nokuthi uyakwazi ukuhamba phakathi kwabo, nokuthi uMoya Wakhe wenza abantu ukuba bapheleliswe empilweni engokoqobo, ukubavumela ukuba babone ubuhle Bakhe, futhi bazizwele ukuyalwa Nguye, ukusolwa Nguye, kanye nezibusiso Zakhe. Uma uhlala wenza ngale ndlela, empilweni yakho engokoqobo ngeke wahlukaniseke noNkulunkulu, futhi uma ngolunye usuku ubudlelwano bakho noNkulunkulu buyeka ukuba ngobujwayelekile, uyokwazi ukuzwa ihlazo, kanye nokwazi ukuzwa ukuzisola. Uma unobudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu, angeke ufise ukushiya uNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu ngelinye ilanga ethi uyakushiya, uyoba nokwesaba, futhi uyothi ungamane ufe kunokuba ushiywe uNkulunkulu. Uma usunale mizwa, uyozizwela ukuthi awukwazi ukushiya uNkulunkulu, futhi ngale ndlela, uyoba nesisekekelo, futhi uyolujabulela uthando lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

444. Ngempela ngempela umthanda kangakanani uNkulunkulu namhlanje? Futhi kungakanani konke okwaziyo uNkulunkulu akwenzile kuwe? Lezi yizinto okufanele uzifunde. Ngenkathi uNkulunkulu efika emhlabeni, konke lokho akwenzile kumuntu navumele umuntu ukuthi akubone ukwenze ukuze umuntu amthande Yena futhi amazi ngempela Yena. Ukuthi umuntu uyakwazi ukuhluphekela uNkulunkulu futhi ukwazile ukuba aze afinyelele lapha, kolunye uhlangothi, ngenxa yothando lukaNkulunkulu, bese ngakolunye uhlangothi, yingenxa yensindiso kaNkulunkulu; phezu kwalokho, kungenxa yomsebenzi wokwahlulela nokusola uNkulunkulu akwenzele umuntu. Uma ningenakho ukwahlulelwa, ukusolwa, nezilingo ezivela kuNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu engazange anenze nihlupheke, lapho-ke, eqinisweni nje, animthandi ngokweqiniso uNkulunkulu. Ngale nkathi umkhulu umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu, futhi ngenkathi ukuhlupheka komuntu kukukhulu, yilapho ekwazi khona ukukhombisa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kangakanani, futhi kulapho inhliziyo yomuntu ikwazi khona ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Ufunda kanjani ukuthanda uNkulunkulu? Ngaphandle kokuhlushwa nokucwengwa, ngaphandle kwezilingo ezibuhlungu—futhi uma, ukwedlula lapho, konke lokho uNkulunkulu akunikeze umuntu kungumusa, uthando, kanye nesihawu—ungakwazi ukuthola uthando lweqiniso lukaNkulunkulu? Ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo ezivela kuNkulunkulu umuntu uthola ukwazi lapho ebuthaka khona, futhi abone ukuthi akabalulekile kangako, ungodelelekile, nophansi, futhi akanalutho, futhi akalutho; ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo zaKhe uNkulunkulu udala izimo ezahlukene enzela umuntu ezenza umuntu akwazi ukubona ubuhle bukaNkulunkulu. Yize noma ubuhlungu bubukhulu, kwesinye isikhathi zingenakwahlulwa—futhi kuze kufinyelele ezingeni losizi olukunqobayo—eke wabhekana nalokhu, umuntu uyabona ukuthi muhle kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu kuyena, futhi kukulesi sisekelo kuphela lapho uthando lweqiniso lukaNkulunkulu kumuntu luzalwa khona kumuntu. Namhlanje umuntu ukubona lokhu ngomusa, uthando nesihawu sikaNkulunkulu, akakwazi ukwazi ngokweqiniso ngokwakhe, angisaphathi ukwazi umongo womuntu. Kungokubhekana nakho kokubili ukucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, kuphela ngesikhathi sokucwengwa lapho umuntu engazi ubuthaka bakhe, futhi azi ukuthi akanalutho. Ngenxa yalokho-ke uthando lukaNkulunkulu ngomuntu lwakhelwe esisekelweni sokucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

445. Namuhla, abantu abaningi abanalo lolo lwazi. Bakholwa ukuthi ukuhlupheka akunamsebenzi, impilo yasemakhaya abo inezinkinga, ababona abathandwa bakaNkulunkulu, futhi izifiso zabo ziluvindi. Ukuhlupheka kwabanye abantu kufinyelela ephuzwini eledlulele, nemicabango yabo iphenduka ukufa. Lolu akulona uthando lweqiniso lukaNkulunkulu; abantu abanjengalaba bangamagwala, abakwazi ukubekezela, babuthakathaka futhi kabanamandla! UNkulunkulu umagange ukuba umuntu amthande, kodwa ngale nkathi umuntu emthanda kakhulu, kungale nkathi nokuhlupheka komuntu kuzokwanda, futhi ngenkathi umuntu emthanda kakhulu, kanjalo nezilingo zakhe zizokwanda. Uma umthanda, konke ukuhlupheka kuzokwehlela—futhi uma ungamthandi, mhlawumbe yonke into izokuhambela kahle, futhi kuzoba nokuthula okukuzungezile. Uma uthanda uNkulunkulu, uzwa sengathi okuningi obhekene nako akunakwahlulwa, futhi ngoba isakhiwo sakho sincane kakhulu uzocwengwa; ngaphezu kwalokho, awukwazi ukwenelisa uNkulunkulu, futhi uyohlala uzwa sengathi intando kaNkulunkulu iphakeme kakhulu, umuntu ngeke akwazi ukuyifinyelela. Ngenxa yakho konke lokhu uzothola ukucwengwa—ngoba kunobuthakathaka obukhulu ngaphakathi kuwena, nokuningi okungakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, uzocwengwa ngaphakathi. Kodwa kufanele nibone ngokucacile ukuthi ukuhlanzwa kwenzeka kuphela ngokucwengwa. Ngenxa yalokhu, ngalezi zinsuku zokugcina kufanele nibe nobufakazi bukaNkulunkulu. Noma ngabe kungakanani ukuhlupheka kwenu, kufanele nize zifinyelele esiphethweni, ngisho nasemphefumulweni wenu wokugcina, nalapho kusafanele nithembeke kuNkulunkulu, futhi nibe semuseni kaNkulunkulu; yilona kuphela uNkulunkulu onothando, futhi yilobu kuphela ubufakazi obunamandla nobuphilayo. Uma ulingwa nguSathane, kufanele uthi: “Inhliziyo yami ingekaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu usengizuzile. Angikwazi ukukwenelisa—kufanele ngizinikele ngakho konke ukwenelisa uNkulunkulu.” Ngenkathi wenelisa kakhulu uNkulunkulu, kungale nkathi uNkulunkulu ekubusisa kakhulu, futhi aba makhulu namandla othando lwakho ngoNkulunkulu; nawe, ngokunjalo, uzoba nokholo nokuzimisela, futhi uzwe sengathi ayikho into ebaluleke noma eqave ngaphezu kwempilo echithwe uthanda uNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi umuntu kufanele kuphela athande uNkulunkulu ukuze angabi nosizi. Yize noma kuba nezikhathi lapho inyama yakho ibuthakathaka futhi usibekelwe yizinkinga eziningi, ngalezi zikhathi uzoncika ngempela kuNkulunkulu, futhi emoyeni wakho ngaphakathi uzoduduzwa, futhi uzoba nokuqiniseka, futhi uzoba nokuthile othembele kukhona. Ngale ndlela, uzokwazi ukunqoba izimo eziningi, ngakho ngeke ukhalaze ngoNkulunkulu ngenxa yomunyu owuzwayo; uzofuna ukucula, udanse, futhi uthandaze, uhlanganyele nabazalwane, ucabange ngoNkulunkulu, futhi uzobona ukuthi bonke abantu, babalulekile, futhi nezinto ezikuzungezile ezihlelwe nguNkulunkulu zifanelekile. Uma ungamthandi uNkulunkulu, konke okubukayo kuzoba ngokukukhathazayo, ayikho into ezojabulisa emehlweni akho; emoyeni wakho ngeke ukhululeke kodwa uzoba ngocindezelwe phansi, inhliziyo yakho iyohlezi ikhononda ngoNkulunkulu, futhi uzohlala uzwa sengathi uneminjunju eminingi kakhulu, kanti lokho akunabulungiswa kakhulu. Uma ungenzi mzamo ngenhloso yokuthola injabulo, kodwa ukuze wenelise uNkulunkulu nokuthi ungasolwa nguSathane, lapho lowo mzamo nokulangazelela kuzokunikeza amandla amakhulu okuthanda uNkulunkulu. Umuntu uyakwazi ukwenza konke okukhulunywe nguNkulunkulu, futhi konke akwenzayo kuyakwazi ukumenelisa uNkulunkulu—kuchaza lokhu-ke ukuzuzwa okungokoqobo. Ukuzama ukwenelisa uNkulunkulu ukusebenzisa uthando lukaNkulunkulu ekusebenzise amazwi Akhe; kungakhathalekile isikhathi—ngisho noma abanye bengenamandla—ngaphakathi kuwena kusenenhliziyo emthandayo uNkulunkulu, emlangazelela ngokujulile uNkulunkulu, nemkhumbulayo uNkulunkulu. Lesi yisakhiwo sangokoqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

446. Kungesikhathi sokucwengwa okubuhlungu lapho umuntu engawela kalula ngaphasi kwethonya likaSathane—pho kufanele umthande kanjani uNkulunkulu ngesikhathi sokucwengwa? Kufanele uzame ngawo wonke amandla akho, ubeke inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu unikele sonke isikhathi sakho kuYe. Noma ngabe uNkulunkulu ukucwenga kanjani, kufanele ukwazi ukuphila iqiniso ukuze kufezeke intando kaNkulunkulu futhi kufanele uzimisele ukuba wena uqobo ufune uNkulunkulu futhi ufune ubudlelwane. Ezikhathini ezifana nalezi, ngale nkathi unganaki ngokwengeziwe, kungale nkathi kuzogcina kulula ngokwengeziwe ukuba ubuyele emuva. Uma sekufanelekile ukuba wenze umsebenzi wakho, yize noma ungawenzi kahle, wenza konke okusemandleni akho, futhi ukwenza usebenzisa uthando lukaNkulunkulu; kungakhathalekile ukuthi abanye bathini—noma ngabe bayakuncoma bathi wenze kahle, noma wenze kabi—ukugqugquzeleka kwakho kuhle, futhi awuzishayi isifuba, ngoba wenza umsebenzi kaNkulunkulu. Uma abanye bekuhlanekezela lokhu okwenzayo bakubize ngokungesikhona, uyakwazi ukuthandaza kuNkulunkulu uthi: “O Nkulunkulu! Angiceli ukuba abanye bangibekezelele noma bangiphathe kahle, noma bangiqonde noma bangivumele. Ngicela nje kuphela ukuba ngikwazi ukukuthanda Wena enhliziyweni yami, ukuba ngikhululeke enhliziyweni yami, ukuthi unembeza wami uhlanzekile. Angiceli ukuba abanye bangincome, noma bangithathele phezulu; ngifuna nje ukwenelisa Wena ngenhliziyo yami, ngidlala indima yami ngokwenza konke enginamandla okukwenza, futhi yize noma ngiyisiphukuphuku nesiwula, futhi ngimpofu, ngiyimpumputhe, kodwa ngiyazi ukuthi Wena umuhle, futhi ngizimisele ukunikela konke enginakho kuWena.” Uma nje uthandaza ngale ndlela, uthando lwakho ngoNkulunkulu luyavela, futhi uzizwa usunokukhululeka kakhudlwana enhliziyweni yakho. Yilokho okusuke kuqondiswe kukho uma kukhulunywa ngokwenza uthando lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

447. Ingabe umuntu kufanele amthande kanjani uNkulunkulu ngesikhathi sokucwengwa? Ngokuzimisela ngokuthanda uNkulunkulu wamukele nokucwengwa nguYe: Ngesikhathi sokucwengwa uyahlushwa ngaphakathi, kube sengathi kunommese ophanjaniswe enhliziyweni yakho, kodwa uzimisele ukwenelisa uNkulunkulu usebenzisa inhliziyo yakho, emthandayo, futhi awuzimisele ukunakekela inyama. Yilokho okusuke kuqondiswe kukho uma kukhulunywa ngokwenza uthando lukaNkulunkulu. Uyafa yiminjunju ngaphakathi, futhi ubuhlungu bakho sebufinyelele ezingeni elithile, kodwa nalapho usazimisele ukuza phambi kukaNkulunkulu ukhuleka, uthi: “O Nkulunkulu! Angikwazi ukukushiya Wena. Yize noma kunobumnyama obungizungezile, kodwa ngifuna ukwenelisa Wena; Uyayazi inhliziyo yami, futhi ngifisa ngabe ungatshala uthando lwaKho ngaphakathi kimi.” Lokhu kwenziwa ngesikhathi sokucwengwa. Uma usebenzisa uthando lukaNkulunkulu njengesisekelo, ukucwengwa kungakusondeza eduze noNkulunkulu futhi kukwenze ube nobudlelwane obusondelene kakhulu noNkulunkulu. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele unikele inhliziyo yakho ngaphambi kukaNkulunkulu. Uma uzinikela bese weneka inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu, kusho ukuthi ngesikhathi sokucwengwa ngeke kwenzeke kuwena ukuba umphike uNkulunkulu, noma umshiye uNkulunkulu. Ngale ndlela ubudlelwane bakho noNkulunkulu buzosondelana nakakhulu, futhi bube ngobejwayelekile nakakhulu, kanti ubudlelwane bakho noNkulunkulu buzokwanda nakakhulu. Uma ngaso sonke isikhathi wenza ngale ndlela, uzochitha isikhathi esiningi ekukhanyeni kukaNkulunkulu, kanye nesikhathi esiningi ngaphansi kokuholwa ngamazwi aKhe, futhi kuzoba noshintsho olukhulu esimweni sakho, kanjalo nolwazi lwakho luzokwanda usuku nosuku. Kuyothi uma kufika usuku nezilingo zikaNkulunkulu zikwehlela ungazelele, ngeke nje ugcine ngokuma eduze kukaNkulunkulu, kodwa futhi uyokwazi nokwethula ubufakazi ngoNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, uyofana noJobe, noPetru. Sewunobufakazi ngoNkulunkulu uyomthanda ngokweqiniso, futhi uyozimisela ukunikela ngempilo yakho egameni laKhe; uyoba ngufakazi kaNkulunkulu, futhi ufakazi othandiweyo nguNkulunkulu. Uthando oluthole ukucwengwa lunamandla, alusibuthakathaka. Kungakhathalekile ukuthi uNkulunkulu ukungenisa kanjani ezilingweni zaKhe, uyakwazi ukungabi nandaba noma uyaphila noma uyafa, ubeke konke okunye eceleni ngentokozo wenzela uNkulunkulu, futhi ubekezele noma yini ngentokozo wenzela uNkulunkulu—ngaleyo ndlela-ke uthando lwakho luyoba msulwa, kanti nokholo lwakho lube ngolweqiniso. Yilapho kuphela-ke lapho uyoba ngumuntu othanda uNkulunkulu ngokweqiniso, futhi oye wapheleliswa ngempela nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

448. UNkulunkulu uyamsola futhi amahlulele umuntu ngoba umsebenzi Wakhe ufuna lokho, ngaphezu kwalokho, ngoba umuntu uyakudinga lokho. Umuntu udinga ukusolwa nokwahlulelwa, futhi kulapho kuphela angathola khona uthando lukaNkulunkulu. Namuhla, niqinisekiswe kakhulu, kodwa lapho ninqwamana nezingqinamba ezincane nisenkingeni; idumela lenu lincane kakhulu futhi nisuke nisadinga ukusolwa okukhulu kanye nokwahlulelwa ukuze nizuze ulwazi olujulile. Namuhla, niyamhlonipha uNkulunkulu, niyamesaba futhi niyazi ukuthi unguNkulunkulu weqiniso, kodwa animthandi kakhulu, ingasaphathwa eyokumthanda ngeqiniso; ulwazi lwenu luseluncane kakhulu futhi anikabi nesimo esihle. Lapho nibhekana nesimo esithile, nisuke ningakabi nabufakazi, kuncane kakhulu ukungena kwenu okuza nezinguquko, futhi aninayo indlela yokukwenza ngokoqobo. Abantu abaningi abanaki futhi bayavilapha; abakuvezi obala ukuthi bayamthanda uNkulunkulu, akukho abakwenzayo futhi akucaci ukuthi iyini imigomo yabo. Labo abenziwe baphelela abagcini ngokuba nobuntu obujwayelekile kuphela, kodwa banamaqiniso angaphezu kwesilinganiso sonembeza womuntu; abagcini nje ngokusebenzisa unembeza wabo ukuze babuyise uthando lukaNkulunkulu kodwa kunalokho bamazile uNkulunkulu futhi bakubona ukuthi uNkulunkulu uyathandeka futhi ufanelwe ukuthandwa ngumuntu nokuthi kuningi umuntu angakuthanda kuNkulunkulu nokuthi umuntu ayikho into angayenza ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu. Uthando uNkulunkulu analo ngalabo abaphelelisiwe luyabasiza ukuze bakwazi ukwenza izinto abazifisayo. Uthando lwabo luyazenzakalela, uthando olungafuni mbuyiselo, alukhona ukuhweba. Ayikho into ebenza bamthande uNkulunkulu ngaphandle kolwazi abanalo Ngaye. Abantu abanjalo bakhathalela kuphela ukujabulisa uNkulunkulu ngisho noma kuthiwa uNkulunkulu akababonisi umusa. Ababheki amathuba kuNkulunkulu futhi abalulinganisi ngonembeza uthando abanalo ngoNkulunkulu: Ungiphe lona, nami kumele ngikubuyisele lona uthando; uma unganginiki lutho nami ayikho into engizokubuyisela yona. Labo abenziwe baphelela bahlale bekholwa ukuthi: UNkulunkulu unguMdali, futhi wenza umsebenzi Wakhe kithi. Ngoba nginaleli thuba, isimo kanye nokufaneleka ukuba ngenziwe ngiphelele, engikufunayo kufanele kube ukuphila okunenjongo futhi kufanele nganelise Yena.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

449. Ekuphileni kwakhe, uPetru wabhekana nokucwengwa izikhathi ezingamakhulu futhi wabhekana nezinhlupheko eziningi ezibuhlungu. Lokhu kucwengwa kwaba yisisekelo sothando lwakhe olukhulukazi lukaNkulunkulu, futhi lokhu kwaba yinto ebalulekile empilweni yakhe yonke. Ukuthi wakwazi ukuba nalolu thando olukhulukazi lukaNkulunkulu empeleni, kolunye uhlangothi, kwaba ngenxa yokuphikelela kwakhe ethanda uNkulunkulu; okubaluleke kakhulu, kodwa-ke, kwaba ngenxa yokucwenga nokuhlupheka abhekana nakho. Lokhu kuhlupheka kwaba yisiqondiso saKhe endleleni yokuthanda uNkulunkulu, futhi kwaba yinto angazange ayikhohlwa. Uma abantu bengahlangabezani nobuhlungu bokucwengwa uma bethanda uNkulunkulu, lokho-ke kusho ukuthi uthando lwabo lugcwele ukungcola kanye nokuthandwa yibo; uthando olufana nalolu lugcwele imibono kaSathane, futhi nje alukwazi neze ukufeza intando kaNkulunkulu. Ukuba nothando oluphikelelayo lukaNkulunkulu akufani nokuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Yize noma konke abakucabangayo ezinhliziyweni zabo kungenxa yokuthanda uNkulunkulu, nokwenelisa uNkulunkulu, sengathi imicabango yabo ayinamicabango yabantu, sengathi konke abakwenzayo bakwenzela uNkulunkulu, uma imicabango yabo ilethwa phambi kukaNkulunkulu, imicabango enjalo ayinconywa noma ayibusiswanga nguNkulunkulu. Ngisho noma abantu sebeqondisise kahle wonke amaqiniso—uma sebewazi wonke—lokhu akukwazi ukubizwa ngophawu lokuthanda uNkulunkulu, angeke kuthiwe laba bantu ngempela bathanda uNkulunkulu. Ngisho noma sebeqondisise amaqiniso amaningi ngaphandle kokubhekana nokucwengwa, abantu abakwazi ukuphila ngala maqiniso; kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho abantu bengaqonda okushiwo ngempela yilawa maqiniso, yilapho kuphela lapho abantu bengakwazi ukwazisa ngempela incazelo yawo yangaphakathi. Ngaleso sikhathi, uma sebezama futhi, bayakwazi ukusebenzisa la maqiniso ngendlela, kanye nangokuhambisana nentando kaNkulunkulu; ngaleso sikhathi, imibono yabo yabantu iyancipha, ukukhohlakala kobuntu babo kuyehla, kanti nemizwa yabo yokuba umuntu iyashabalala; kungaleso sikhathi kuphela lapho ukwenza kwabo kuyisibonakaliso seqiniso sothando lukaNkulunkulu. Umphumela weqiniso lothando lukaNkulunkulu awufezeki ngolwazi olukhulunywayo noma ukuzimisela ngokwengqondo, futhi awufezeki nje kalula ngokuqondwa. Uma kudingeka abantu bakhokhe inani elithile, nokuthi babhekane nomunyu omkhulu kakhulu ngesikhathi sokucwengwa, bese kuba yilapho kuphela-ke lapho uthando lwabo luba msulwa, futhi lube ngolulangazelele inhliziyo kaNkulunkulu uqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

450. Lapho sekusondele ukuba uPetru afe, ngemva kokuba enziwe waphelela wathi, “O Nkulunkulu! Ukube nje iminyaka yami ibinganezelwa kancane, bengingafisa ukukuthanda ngokujulile nangendlela emsulwa.” Lapho esezobethelwa esiphambanweni, wathandaza ngenhliziyo, “O Nkulunkulu! Sesifikile sikhathi Sakho, isikhathi owangibekela sona sesifikile. Kumele ngikufele, kumele ngivume phambi kwakho futhi nginokwethemba ukuthi uthando enginalo ngawe lungahlangabezana nezimfuno Zakho, lube msulwa. Namuhla, ukukwazi ukukufela, futhi ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho kuyangiqinisekisa futhi kuyangiduduza, ngoba kungigculisa kakhulu ukuthi ngibethelwa esiphambanweni ngenxa Yakho ukuze kwenzeke intando Yakho nanokuthi ngizobe sengikwazi ukunikela ngokuphila kwami Kuwe. O Nkulunkulu! Uyathandeka! Ukube ungivumele ngaphila, bengizozimisela kakhulu ukukuthanda. Uma nje ngisaphila, ngiyohlezi ngikuthanda. Ngifisa ukukuthanda kakhulu kunakuqala. Ngahlulele futhi ungisole, ungivivinye ngoba angiyena olungileyo, ngenxa yokuthi ngonile. Ukulunga Kwakho kuba sobala kimi. Lesi isibusiso kimi, ngoba ngiyakwazi ukukuthanda ngokujulile futhi ngizimisele ukuhlale ngikuthanda kanjena ngisho noma ungangithandi. Ngifuna ukukubona ukulunga Kwakho ngoba lokho kungenza ngiphile ukuphila okunenjongo. Sengiyabona manje ukuthi ukuphila kwami sekunenjongo, ngoba ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho futhi kuyinto enhle ukukufela. Nakuba ngingakazizwa nganelisekile ngoba ngazi okuncane Ngawe, ngiyazi ukuthi ngeke ngizifeze ngokugcwele izifiso Zakho futhi kuncane kakhulu engikwenzele khona. Ekuphileni kwami, angikwazanga ukuzinikela ngokugcwele Kuwe; angisondele nakancane kulokho. Uma ngibuka emuva, kulo mzuzu ngizizwa ngikukweleta kakhulu, futhi nginalo mzuzu kuphela wokuba ngikhokhe ngawo wonke amaphutha ami nangalo lonke uthando engikukweleta lona.”

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

451. Umuntu kumele alwele ukuphila okunenjongo futhi angeneliswa nje yilokho akwazi ukukwenza manje. Ukuze umuntu aphile njengoPetru, kumele abe nolwazi futhi akwazi ukubhekana nezinto uPetru abhekana nazo. Umuntu kumele afune izinto ezinkulu neziphakeme kakhulu. Kumele afune uthando lukaNkulunkulu olujulile nolumsulwa ngokwengeziwe, kanye nokuphila okunenjongo. Yilokhu kuphela ukuphila; yile ndlela kuphela umuntu ayofana ngayo noPetru. Kumele ugxile ekukhuthaleleni ukuba sohlangothini oluhle ekungeneni kwakho, ungamane nje uhlehle ngenxa yenkululeko yesikhashana bese uziba amaqiniso angempela acacile nabalulekile. Uthando lwakho kumele lube ngokoqobo futhi kumele uthole izindlela ezizokwenza ukhululeke kulokhu kuphila okubi nokungenamthetho futhi okungahlukile kokwezilwane. Kumele uphile ukuphila okunenjongo, ukuphila okuyigugu, futhi akumele uzikhohlise, noma ukuphila kwakho ukuphendule ithoyizi okudlalwa ngalo. Kuwo wonke umuntu ozimisele ngokuthanda uNkulunkulu, awekho amaqiniso angenakuwathola futhi akukho ukungabi bikho kobulungiswa obenziwayo angeke akwazi ukumelana nakho. Kufanele uphile kanjani? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu futhi ungalusebenzisa kanjani lolu thando ukuze wenelise isifiso Sakhe? Ayikho into ebaluleke ukudlula leyo ekuphileni kwakho. Ngaphezu kwakho konke, kumele ube nezifiso ezinjalo futhi ukwazi ukubekezela, ungafani nje nabantu abaphelelwa yithemba kalula. Kumele ukwazi ukuphila ukuphila okunenjongo futhi uwazi amaqiniso angempela futhi ungaziphathi budlabha. Unganakile, impilo yakho ingakwedlula nje.; ngemva kwalokho, uyolithola yini elinye ithuba lokuthanda uNkulunkulu? Ingabe umuntu angakwazi ukuthanda uNkulunkulu uma esefile? Kumele ube nesifiso kanye nonembeza onjengokaPetru; ukuphila kwakho kumele kube nenjongo futhi akumele ube nesikhathi sokudlala ngokuphila kwakho! Njengoba ungumuntu, futhi ufuna uNkulunkulu, kumele uyiqaphele indlela oziphatha ngayo ekuphileni kwakho, nendlela ozinikela ngayo kuNkulunkulu nokuthi uba kanjani nokholo olunenjongo Kuye, ngendlela emsulwa, enhle, nelungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

452. Uma abantu befisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele bezwe ubuhle bukaNkulunkulu, futhi babone ubuhle bukaNkulunkulu, kungaleso sikhathi kuphela lapho kungavuka kubo inhliziyo ethanda uNkulunkulu, inhliziyo efisa ukusebenzela uNkulunkulu. UNkulunkulu akenzi ukuba abantu bathande ngamazwi nangokukhuluma, noma imicabango yabo, futhi akabaphoqi abantu ukuba bamthande. Kunalokho, ubenza ukuba bamthande ngokukhetha kwabo, ubenza babone ubuhle Bakhe emsebenzini Wakhe kanye nakulokho akushoyo, emva kwalokho kukhona kubo ukuthela kothando lukaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bengaveza khona ubufakazi kuNkulunkulu. Abantu abathandi uNkulunkulu ngoba baceliwe ukuba benze njalo nakwabanye, noma umuzwa wokubhuduzela kwesikhashana. Bathanda uNkulunkulu ngenxa yokuba bebonile ubuhle Bakhe, babonile ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lwabantu, ngokuba bayibonile insindiso, ukuhlakanipha kanye nemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu— futhi ngenxa yalokho, bamdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi balangazelela Yena ngeqiniso, futhi kuvuka kubo intshisekelo yokuthi ngeke bakwazi ukuphila ngaphandle kokuzuza uNkulunkulu. Isizathu esenza ukuba labo abafakaza ngeqiniso banikeze ubufakazi obunenhlokomo Kuye, kungenxa yokuthi ubufakazi babo buphezu kwesisekelo solwazi lweqiniso kanye nokulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso. Akusiwo nje umuzwa wokubhuduzela, kodwa kungokolwazi lukaNkulunkulu kanye nesimo Sakhe. Ngokuba sebefinyelele ekumazini uNkulunkulu, futhi bayazi ngobuhle bukaNkulunkulu, noqobo Lwakhe. Njengothando lwabantu kuNkulunkulu, ubufakazi babo buyazenzakalela, buyiqiniso, bubalulekile futhi bufanele. Alukhona ukuthatheka, noma luyize futhi alusho lutho. Isizathu sokuba kube yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu ngeqiniso abanenani elikhulu kanye nenjongo ezimpilweni zabo, futhi yibona kuphela abakholwa kuNkulunkulu ngeqiniso, kungenxa yokuthi laba bantu baphila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, bayakwazi ukuphilela umsebenzi kanye nokuphatha kukaNkulunkulu; abaphili ebumnyameni, kodwa baphila ekukhanyeni; abaphili izimpilo ezingasho lutho, kodwa izimpilo ezibusiswe uNkulunkulu. Yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu abakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, yibona kuphela abangofakazi bakaNkulunkulu, yibona kuphela ababusiswe uNkulunkulu, futhi yibona kuphela abakwazi ukwamukela izethembiso zikaNkulunkulu. Labo abathanda uNkulunkulu bangabangani bakaNkulunkulu, bangabantu abathandwa uNkulunkulu, bangathokozela izibusiso kanye noNkulunkulu. Abantu abafana nalaba kuphela abazophila phakade, futhi bona kuphela bazophila phansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu. UNkulunkulu ungowabantu ukuba bamthande, futhi ufanelwe uthando lwabantu lonke, kodwa akusibo bonke abantu abakwazi ukuthanda uNkulunkulu, futhi akusibo bonke abantu abangafakaza kuNkulunkulu futhi babambe amandla noNkulunkulu. Ngokuba bayakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi banikele onke amandla abo emsebenzini kaNkulunkulu, labo abathanda uNkulunkulu ngeqiniso bangahamba noma kuphi ngaphansi kwamazulu kungekho muntu ongabaphikisa, bengaphakamisa amandla futhi babuse abantu bakaNkulunkulu. Laba bantu bahlangane ndawonye bevela emhlabeni wonke, bakhuluma izilimi ezahlukene futhi banesikhumba esinemibala engafani, kodwa ubukhona babo bunencazelo efanayo, bonke banenhliziyo ethanda uNkulunkulu, bonke banobufakazi obufanayo futhi banesinqumo esifanayo, kanye nesifiso esifanayo. Labo abathanda uNkulunkulu bangahamba bakhululekile emhlabeni wonke, labo abafakaza ngoNkulunkulu bangahamba umkhathi wonke. Laba bantu bathandwa uNkulunkulu, babusiswe uNkulunkulu, futhi bayophila ekukhanyeni Kwakhe kuze kube phakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: I. Ngendlela Yokukhetha Indlela Okholweni

Okulandelayo: K. Ngendlela Yokuzuza Ukwazi UNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp