Kuyini Ukwahlulela?

June 18, 2019

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma kufika egameni elithi "ukwahlulela," uzocabanga amazwi akhulunywa nguJehova kuzo zonke izindawo futhi amazwi okusola ashiwo nguJesu kubaFarisi. Yize la mazwi ebuhlungu, akasikho ukwahlulela abantu okwenziwa uNkulunkulu;l ngamazwi kuphela akhulunywa nguNkulunkulu ezimweni ezahlukene, okusho ukuthi, ezindaweni nasezikhathini ezahlukene; futhi awafani namazwi akhulunywa nguKristu njengoba ahlulela abantu ezinsukwini zokugcina. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi. … Ukwahlulela, ukusola, kanye nokudalula izono zesintu—akekho noyedwa umuntu noma into engabalekela ukwahlulela kwakhe. Konke okungcolile kwahlulelwa Nguye. Kungenxa yalokhu kuphela kuthiwa isimo sakhe silungile. Ngale kwalokho, bekungashiwo kanjani ukuthi nifanelwe ukubizwa ngeziqhathaniso?

kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp