Yini ngempela intando yomuntu olandela uNkulunkulu? Futhi yini ubufakazi beqiniso ngokukholwa kuNkulunkulu?

April 09, 2018

Yini ngempela intando yomuntu olandela uNkulunkulu? Futhi yini ubufakazi beqiniso ngokukholwa kuNkulunkulu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka, Waye sethi, Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze: uJehova iphile, futhi uJehova euthathile; malibongwe igama lika Jehova” (UJobe 1:20-21).

“Waye sethi, Thatha manje indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo u-Isaka, oyithandayo, bese uya ezweni laseMoriya; bese uyonikela ngaye lapho abe umnikelo wokushiswa entabeni ethile engizokutshela yona. Futhi u-Abraham wabe esevuka entathakusa, wase ebophela imbongolo yakhe, futhi wathatha izinsizwa ezimbili, kanye nendodana yakhe u-Isaka, futhi wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wabe esephakama, futhi waya kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele yona. … Base befika endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo; futhi u-Abrahama wakha i-altare khona, wase elungisa izinkuni ngendlela efanele, futhi wabopha u-Isaka indodana yakhe, wase emlalisa phezu kwe-altare lezinkuni. Futhi u-Abrahama welula isandla sakhe, wase ethatha ummese ukuba ahlabe ngawo indodana yakhe” (UGenesise 22:2-3, 9-10).

“Laba yilabo abangazange bangcoliswe yisifazane; ngoba basemsulwa. Labo yilabo abalandela iWundlu lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, bayizithelo zokuqala kuNkulunkulu nakuWundlu. Kanti emilonyeni yabo akutholakalanga manga: ngoba abanasici phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu” (IsAmbulo 14:4-5).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UJesu wakwazi ukufeza umyalelo kaNkulunkulu—umsebenzi wokuhlengwa kwesintu sonke—ngokuba wanikeza konke ukunakekela intando kaNkulunkulu, ngaphandle kwamacebo Akhe nokuzicabangela Yena. Ngakho, futhi, Naye wayesondelene noNkulunkulu—uNkulunkulu uqobo Lwakhe, into eniyiqonda kahle nonke. (Empeleni, wayenguNkulunkulu uqobo Lwakhe owafakazelwa nguNkulunkulu; Ngikusho lokhu lapha ukusebenzisa iqiniso likaJesu ukucacisa indaba.) Wakwazi ukubeka phambili uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu, futhi wayehlala ethandaza kuBaba osezulwini futhi wayefuna intando kaBaba osezulwini. Wakhuleka wathi: “Nkulunkulu Baba! Feza lokho okuyintando Yakho, futhi ungenzi ngokwezinhloso Zami; ngifisa Wenze ngokohlelo Lakho. Umuntu angaba buthakathaka, kodwa kungani umnakekela? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu afanele ukukhathazeka Kwakho, umuntu ofana nentuthwane esandleni Sakho? Enhliziyweni Yami, ngifisa ukufeza intando Yakho kuphela, futhi ngifisa Wenze njengalokhu ufisa ukwenza Kimi ngokwezinhloso Zakho.” Endleleni eya eJerusalema, uJesu wezwa umunyu, kusengathi ummese uphendulwa enhliziyweni Yakhe, kepha wayengenayo ngisho encane inhloso yokushintsha izwi ayelishilo; njalo kwakukhona amandla amakhulu amqhubezela phambili ekubethelweni Kwakhe. Ekugcineni, wabethelwa esiphambanweni futhi wafana nenyama yesono, efeza lowo msebenzi wokuhlenga isintu, futhi waphakama ngaphezu kwamaketanga okufa neHayidesi. Phambi Kwakhe, ukufa, isihogo kanye neHayidesi kwaphelelwa amandla, kwanqotshwa Nguye. Waphila iminyaka engamashumi amathathu nantathu, kuyo yonke wenza njalo ngamandla Akhe onke ukufeza intando kaNkulunkulu ngokomsebenzi kaNkulunkulu ngaleso sikhathi, akanakanga inzuzo Yakhe ngokwakhe noma ukulahlekelwa, futhi ngaso sonke isikhathi wayecabanga intando kaNkulunkulu uBaba. Ingakho, emva kokuba esebhapathiziwe, uNkulunkulu wathi: “Le iNdodana Yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Ngenxa yenkonzo Yakhe phambi kukaNkulunkulu eyayihambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu wabeka umthwalo onzima wokuhlenga sonke isintu phezu kwamahlombe Akhe. Wamenza ukuba aphokophelele phambili ukuwufeza. Wayefaneleka futhi enelungelo lokufeza lo msebenzi obalulekile.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abakhonza uNkulunkulu kufanele babe ngabantu abasondelene noNkulunkulu, kufanele bathokozise uNkulunkulu, futhi bakwazi ukwethembeka ngamandla abo wonke kuNkulunkulu. Akukhathalekile noma nikwenza abantu bengazi, noma phambi kwabo, niyakwazi ukuzuza intokozo kaNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu, niyakwazi ukuma niqine phambi kukaNkulunkulu, futhi akukhathalekile noma ngabe abantu baniphatha kanjani, nihlala nihamba indlela yenu, futhi ninike konke ukunakekela emthwalweni kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela ukusondelana noNkulunkulu. Ukuthi abasondelene noNkulunkulu bakwazi ukumkhonza ngokuqondile yingoba baphathiswe umyalelo omkhulu kaNkulunkulu, nomthwalo kaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuthatha inhliziyo kaNkulunkulu njengeyabo, nomthwalo kaNkulunkulu njengowabo, futhi abakhathali noma bayazuza noma bayalahlekelwa isithembiso: Ngisho bengenawo amathemba, futhi bengeke bazuze lutho, bayohlala njalo bekholwa kuNkulunkulu ngenhliziyo enothando. Ngakho, lolu hlobo lomuntu lusondelene noNkulunkulu. Abantu abasondelene noNkulunkulu bayizethenjwa Zakhe futhi; izethenjwa zikaNkulunkulu kuphela ezingazwelana Naye ekukhathazekeni Kwakhe, nokufuna Kwakhe, nakuba inyama yabo ibuhlungu futhi ibuthakathaka, bayakwazi ukubekezelela ubuhlungu, badele lokho abakuthandayo ukuze banelise uNkulunkulu. UNkulunkulu unika imithwalo eminingi kubantu abanjalo, futhi lokho uNkulunkulu afuna ukukwenza kubonakaliswa ebufakazini babantu abanjalo. Kanjalo-ke, laba bantu bayathokozelwa nguNkulunkulu, bayizinceku zikaNkulunkulu ngokwenhliziyo Yakhe, futhi abantu abafana nalaba kuphela abangabusa noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, uPetru wayefuna ukwanelisa uNkulunkulu kukho konke, wayelalela konke okuvela kuNkulunkulu. Engakhonondi ngisho nakancane, wakwazi ukwamukela ukusolwa nokwahlulelwa, kanye nokucwengwa, usizi kanye nokuntula ekuphileni kwakhe, okungekho kukho okwakungaqeda ukuthanda kwakhe uNkulunkulu. Ingabe lolu kwakungekhona ukuthanda kakhulu uNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka komsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu? Noma kusekusolweni, ekwahlulelweni, noma osizini, uhlale ukwazi ukulalela kuze kube sekufeni, futhi yilokhu okufanele kufezwe isidalwa sikaNkulunkulu, lobu ubumsulwa bokuthanda uNkulunkulu. Uma umuntu engafeza okungaka, kusho ukuthi uyisidalwa sangempela sikaNkulunkulu, futhi akukho okungcono okwanelisa isifiso soMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma nje kuthintwa igama likaPetru, wonke umuntu ugcwala indumiso…. Wanaka kakhulu ukuthi kungabi kuphela ukudla nokuphuza amazwi Ami, kodwa kakhulu ukuqonda izinhloso Zami, futhi wayehlala enobuhlakani futhi eqaphele emicabangweni yakhe, ngalokho wayehlala ejulile ekhaliphile emoyeni wakhe, yikho wayekwazi ukungijabulisa kukho konke ayekwenza. Empilweni ejwayelekile, waqinisekisa ukuthi uyazididiyela izifundo zalabo abahlulekile esikhathini esedlule ukuze azigqugquzele emizamweni yakhe, ngokwesaba okukhulu kokuthi angase awele ogibeni lokwehluleka. Waphinde waqinisekisa ukuthi uyaluthatha alugcine ukholo nothando lwabo bonke eminyakeni ababeke bathanda ngalo uNkulunkulu. Ngale ndlela akubanga kokubi kuphela, kodwa okubaluleke kakhulu, kokuhle ukusheshisa kwakhe inqubekela phambili yokukhula kwakhe, waze waba nguyena muntu phambi Kwami owangazi kahle. Ngenxa yalokhu, akunzima ukubona ukuthi wayengakubeka kanjani konke ayenakho ezandleni Zami, akasaziphethe ngisho ekudleni, ekugqokeni, ekulaleni, noma indawo ahlala kuyo, kodwa wenza ukunganelisa kuzo zonke izinto isisekelo sokuthokozela inala Yami. Izikhathi eziningi ngambeka ngaphansi kwezilingo, okwamshiya ecishe wafa, kodwa naphakathi kwalezi zilingo ezingamakhulukhulu, akazange nakanye aphelelwe ukholo Kimi noma adumazeke Ngami. Yize noma sengithe sengimlahlile, akazange aphelelwe amandla, waqhubeka nokungithanda ngendlela engokoqobo nangezimiso zokwenza ezedlule. Ngamtshela ukuthi, yize engithanda, angizange ngimncome kodwa ngingayomphonsa ezandleni zikaSathane ekugcineni. Phakathi kwalokhu kulingwa, okungayithintanga inyama yakhe kodwa okwakuyizilingo ngamazwi, waqhubeka wathandaza Kimi: “O, Nkulunkulu! Emazulwini nasemhlabeni nasezintweni zonke, ingabe ukhona umuntu, isidalwa, noma yini okungekho ezandleni Zakho, Wena Somandla? Uma ufisa ukungitshengisa umusa, inhliziyo yami iyothokoza kakhulu ngomusa Wakho; uma ufisa ukungahlulela, ngingafanele, ngizwa imfihlakalo ejulile yemisebenzi Yakho, ngoba ugcwele igunya nobuhlakani. Yize inyama yami ingahlupheka, ngiduduzekile emoyeni wami. Ngingenza kanjani ukuthi ngingabuphakamisi ubuhlakani nemisebenzi Yakho? Noma ngingafa emva kokukwazi, ngizobe sengikulungele ngivuma futhi. O, Somandla! Impela akusikho ukuthi awufisi ngempela ukuthi ngikubone? Impela akusikho ukuthi angikufanele ngempela ukwahlulelwa Nguwe? Kungenzeka ukuthi ikhona into ekimina ongafisi ukuyibona?” Phakathi kwayo yonke le nhlobo yezilingo, yize noma uPetru wayengakwazi ukuqonda kahle izinhloso Zami, kuyacaca ukuthi wakubona njengokuqhosha nokuzidumisa ukusetshenziswa Yimi (kungaba kuphela ukuthola ukwahlulela Kwami ukuze abantu babone ubukhosi nolaka Lwami), futhi akazange neze adikibale ngenxa yokubekwa ekulingweni. Ngenxa yokuthembeka kwakhe phambi Kwami, nangenxa yezibusiso Zami phezu kwakhe, ube yisibonelo nesifanekiso kubantu iminyaka eyizinkulungwane.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 6” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uJobe edlula ezilingweni okokuqala, waphucwa yonke impahla yakhe kanye nezingane zakhe, kodwa akazange awe noma asho into eyisono kuNkulunkulu. Wazinqoba izilingo zikaSathane, wanqoba nomuzwa wokulahlekelwa impahla yakhe kanye nezingane zakhe, okusho ukuthi wakwazi ukulalela uNkulunkulu futhi wadumisa uNkulunkulu ngenxa yakho. Yiyona ndlela uJobe ayeziphatha ngayo phakathi nesilingo sokuqala sikaSathane, futhi yibona bufakazi obanikezwa uJobe ovivinyweni lokuqala lukaNkulunkulu. Ovivinyweni lwesibili, uSathane welula isandla sakhe ukuze alimaze uJobe, futhi nakuba uJobe ezwa ubuhlungu ayengakaze abuzwe, ubufakazi bakhe babanele ukushiya abantu bebambe ongezansi. Wasebenzisa isibindi, ukholo, nokulalela kwakhe uNkulunkulu, ukuze aphinde anqobe uSathane, futhi uNkulunkulu wakwamukela ukuziphatha kanye nobufakazi abunikeza. Phakathi nalesi silingo, uJobe wasebenzisa ukuziphatha kwakhe ukuze azise uSathane ukuthi ubuhlungu benyama babungeke buguqule ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu, noma bumenze angazinikeli noma esabe uNkulunkulu; wayengeke amphike uNkulunkulu noma ashiye ukulunga nobuqotho bakhe ngenxa yokwesaba ukufa. Ukuzimisela kukaJobe kwenza uSathane wangenwa amanzi emadolweni, ukholo lwakhe lwashiya uSathane ethuthumela futhi eqhaqhazela, amandla empi yakhe yokuphila nokufa noSathane enza uSathane waba nenzondo enkulu, ukulunga nobuqotho bakhe akumsizanga ngalutho uSathane, ngezinga lokuthi wayeka ukumhlasela nokumangalela uJobe phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kwakusho ukuthi uJobe ulinqobile izwe, wayinqoba inyama kanye noSathane, futhi wakunqoba ukufa; wayengumuntu kaNkulunkulu ngokuphelele. Phakathi nalezi zilingo ezimbili, uJobe waqina ebufakazini bakhe, futhi waphila ngokulunga nobuqotho, waphila ngazo zonke izindlela ngomyalo wokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngemva kokudlula kulezi zilingo, uJobe waba nokuhlangenwe nakho okungeke kwatholakala ndawo, futhi kwamenza wavuthwa, kwamenza waba namandla, nokholo oluqinile, kwamenza wazethemba futhi waba qotho ngenxa yokuqina kwakhe. Ukuvivinya kukaJehova uNkulunkulu uJobe, kwenza uJobe wakuqonda ngokujulile ukukhathazeka kukaNkulunkulu ngomuntu, kwamenza wabona ukuba yigugu kothando lukaNkulunkulu, okuyilapho okwakhula khona uthando lwakhe lukaNkulunkulu ekwesabeni kwakhe uNkulunkulu. Uvivinyo lukaJehova uNkulunkulu alumhlukanisanga Yena noJobe, kodwa lwasondeza inhliziyo yakhe kuNkulunkulu. Lapho izinhlungu zenyama zikaJobe zifinyelela ekugcineni, ukubona uJehova uNkulunkulu ekhathazeka ngaye kwamenza waqalekisa usuku azalwa ngalo. Ukuziphatha okunjalo kwakungeyona into ehleliwe, kodwa ukwambulwa okungokwemvelo kothando ayenalo ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe, kwakuyisambulo esingokwemvelo esasibangelwa uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Okusho ukuthi, ngenxa yokuthi uJobe wazizonda, wayengazimisele futhi wayengeke akwazi ukuhlukumeza uNkulunkulu, ngaleyo ndlela uthando lwakhe lwalungenabo ubugovu. Ngalesi sikhathi, kwakubalulekile kuJobe ukuba nobuhlobo obude nokulangazelela uNkulunkulu nokuzinikela kuNkulunkulu kuze kufike ezingeni lokucabangelana nothando. Ngesikhathi esifanayo, wayelubheka njengolubalulekile ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu nokwesaba uNkulunkulu ngezinga lokumcabangela nokumthanda. Akazange avume ukwenza noma yini eyayingalimaza uNkulunkulu, akazange aziphathe ngendlela engalimaza uNkulunkulu, akavumanga ukwenza uNkulunkulu abe lusizi ngenxa yakhe, ngisho nokuthi angajabuli ngenxa yakhe. Emehlweni kaNkulunkulu, nakuba uJobe ayengakaguquki, ukholo lukaJobe, ukulalela kanye nokwesaba uNkulunkulu, kwenza uNkulunkulu wagculiseka futhi wajabula. Ngalesi sikhathi, uJobe wafinyelela ekulungeni uNkulunkulu ayefuna afinyelele kukho, waba indoda okufanele ngempela kuthiwe “ilungile futhi iqotho” emehlweni kaNkulunkulu. Izenzo zakhe ezilungile zamenza wanqoba uSathane futhi wafakaza ngoNkulunkulu. Ngakho izenzo zakhe ezilungile zamenza waphelela, zamenza wakwazisa ukuphila kwakhe, wadlondlobala nakakhulu, waba umuntu wokuqala owayengasahlaselwa futhi alingwe uSathane. Ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamangalelwa futhi walingwa uSathane; ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wanikelwa kuSathane; futhi ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamnqoba futhi wamehlula uSathane, wama waqinisa ebufakazini bakhe. Ngenxa yalokho, uJobe waba ngumuntu wokuqala owayengasoze anikelwa kuSathane, weza ngempela ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, waphila ekukhanyeni, ngaphansi kwezibusiso zikaNkulunkulu ngaphandle kokonakaliswa uSathane.… Waba indoda yeqiniso emehlweni kaNkulunkulu, wakhululwa …

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ungasho yini ukuthi sewunqotshiwe, kodwa ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni? Kufanele ukwazi ukulandela kuze kube sekugcineni ngci, akukhathaleki noma akhona yini amathemba noma cha, futhi akufanele ulahlekelwe ukholo lwakho kuNkulunkulu noma ngabe isimo sinjani. Ekugcineni, kufanele ube nezingxenye ezimbili zobufakazi: ubufakazi bukaJobe—ukulalela kuze kube sekufeni—kanye nobufakazi bukaPetru—uthando olukhulu kakhulu ngoNkulunkulu. Ngenye ingxenye kufanele ube njengoJobe: Wayengenazimpahla eziphathekayo, futhi wayekhungethwe ubuhlungu enyameni, kepha akazange alifulathele igama likaJehova. UPetru wakwazi ukuthanda uNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni. Ngesikhathi eshona—ngesikhathi bembethela esiphambanweni—wayesamthanda uNkulunkulu: akazange acabange izithembiso zakhe noma amathemba aletha udumo noma imicabango ehlaphazekile, futhi wayefuna kuphela ukuthanda uNkulunkulu nokulalela wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Yilelo izinga okufanele ufike kulona ngaphambi kokuba uthathwe ngokuthi ubethulile ubufakazi, ngaphambi kokuba ube ngumuntu ophelelisiwe emva kokuba sewunqotshiwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Buyini ngempela ubufakazi beqiniso? Ubufakazi okukhulunywa ngabo lapha bunezingxenye ezimbili: Okokuqala ngubufakazi bokunqotshwa, obunye ngubufakazi bokupheleliswa (ngokuvamile, okuzoba ngubufakazi obulandela izilingo nezinhlupho ezinkulu zesikhathi esizayo). Ngamanye amazwi, uma ukwazi ukuma uqine ngezikhathi zezilingo nezinhlupho, lokho kusho ukuthi sewenze isinyathelo sesibili sobufakazi. Okubalulekile namuhla yisinyathelo sokuqala sobufakazi: ukukwazi ukuma uqine ngesikhathi sezilingo zokusolwa nokwahlulelwa. Lobu ngubufakazi bokunqotshwa. Lokhu kungenxa yokuthi namuhla yisikhathi sokunqoba. (Kufanele wazi ukuthi namuhla yisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni; umsebenzi ophambili kaNkulunkulu osesimweni somuntu emhlabeni ukunqoba leli qembu labantu emhlabeni abamlandela ngokwahlulela nokusola.) Ukuthi uyakwazi noma awukwazi ukufakaza ngokunqotshwa akuncikile kuphela ekutheni uyakwazi ukulandela kuze kube sekupheleni, kodwa, okubaluleke kakhulu, ekutheni, njengoba udlula esinyathelweni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukuba nokuqonda kweqiniso ngokusolwa nokwahlulelwa, nokuthi uyawubona ngempela wonke lo msebenzi. Ngeke ukwazi ukwedlula ngokulandela nje kuze kube sekupheleni. Kumele ukwazi ukuyeka ngokuzimisela konke lokhu ngaso sonke isikhathi sokusolwa nokwahlulelwa, ukwazi ukuqonda ngempela isinyathelo ngasinye somsebenzi owubonile, futhi kumele ukwazi ukuthola ulwazi, kanye nokulalela isimo sikaNkulunkulu. Lobu ubufakazi bangempela bokunqotshwa, okudingekayo kuwe. Ubufakazi bokunqotshwa ikakhulu busho ulwazi lwakho ngokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okubalulekile, lesi sinyathelo sobufakazi siwukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi wenzani noma uthini phambi kwabantu bomhlaba noma labo abaphethe amandla; okubaluleke kakhulu ukuthi uyakwazi na ukulalela wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu kanye nawo wonke umsebenzi Wakhe. Ngakho-ke, lesi sinyathelo sobufakazi siqondiswe kuSathane nazo zonke izitha zikaNkulunkulu—amadimoni nabanonya abangakholwa ukuthi uNkulunkulu uzoba senyameni okwesibili futhi eze ngenjongo yokwenza umsebenzi omkhulu ngokwengeziwe, futhi ngaphezu kwalokho, abangakholelwa eqinisweni lokubuyela kukaNkulunkulu enyameni. Ngamanye amazwi, kubhekiswe kubo bonke labo abangabaphikukristu—zonke izitha ezingakholelwa ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu.

…………

Isinyathelo sokugcina sobufakazi ubufakazi bokuthi uyokwazi yini ukupheleliswa noma cha—okungukuthi, lapho usuqonde wonke amazwi akhulunywe umlomo kaNkulunkulu osesimwweni somuntu, waba nalo lonke ulwazi ngoNkulunkulu futhi waqiniseka ngaye, uphila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu, futhi ufeza imibandela efunwa nguNkulunkulu kuwe—indlela kaPetru nokholo lukaJobe—njengokuthi uzokwazi ukulalela kuze kube sekufeni, uzinikele ngokuphelele kuNkulunkulu, kuthi ekugcineni ufinyelele uthole ubunjalo bomuntu osezingeni elifanelekile okusho ukuthi uzobonakala njengomuntu onqotshiwe futhi owenziwe waphelela emva kokuzwa ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu. Lobu ngubufakazi obukhulu kakhulu—ubufakazi okumele lowo ophelelisiwe abe nabo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukunikeza ubufakazi obucacile ngoNkulunkulu ngokuyinhloko kuncike ekutheni uyamqonda yini noma cha uNkulunkulu osebenzayo, nokuthi uyakwazi yini noma cha ukulalela phambi kwalo muntu ongagcini nje ngokuba ojwayelekile, kodwa ovamile, futhi olalela kuze kube sekufeni. Uma ngempela ufakaza ngoNkulunkulu phakathi nalokhu kulalela, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ukuzuzile. Ukukwazi ukulalela kuze kube sekufeni, nokukhululeka ezikhalazweni phambi Kwakhe, ungenzi izahlulelo, unganyundeli, ungabi nemibono futhi ungabi nezinye izinhloso—uNkulunkulu uyoyizuza ngale ndlela inkazimulo. Ukulalela phambi komuntu ojwayelekile abantu abamubukela phansi futhi ukwazi ukulalela kuze kube sekufeni ngaphandle kwemibono—lokhu kuwubufakazi bangempela. Iqiniso uNkulunkulu afuna abantu bangene kukho ukuthi ukwazi ukulalela amazwi Akhe, ukwazi ukwenza amazwi Akhe, ukwazi ukukhothama phambi kukaNkulunkulu osebenzayo, futhi ukwazi ukukhohlakala kwakho, ukwazi ukuvula inhliziyo yakho phambi Kwakhe, futhi ekugcineni uzuzwe Nguye ngala mazwi Akhe. UNkulunkulu uzuza inkazimulo lapho la mazwi ekunqoba futhi akwenze umlalele ngokugcwele; ngalokhu uhlaza uSathane aqede umsebenzi Wakhe. Lapho ungenamibono ngokusebenza kukaNkulunkulu osenyameni, okusho ukuthi, lapho uma uqina kulolu vivinyo, khona-ke unikeza ubufakazi obuhle.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Ngeqiniso Yilabo Abakuthobela Ngokuphelele Ukuba Ngokoqobo Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uNkulunkulu efika, abantu kufanele bezwe ubukhosi Bakhe nolaka Lwakhe, kodwa noma ngabe amazwi Akhe anolaka kangakanani, uzele ukuzosindisa nokuphelelisa abantu. Njengezidalwa, abantu kufanele bafeze imisebenzi okufanele bayifeze, bethule ubufakazi phakathi kokucwengwa. Kuzo zonke izivivinyo, kufanele benze ubufakazi obulindeleke kubo, bethule ubufakazi obuqand’ ikhanda ngoNkulunkulu. Lona ngumnqobi. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukucwenga kanjani, uhlala uzethemba ngokugcwele futhi awuyeki ukwethemba uNkulunkulu. Wenza lokhu umuntu okufanele akwenze. Yilokhu uNkulunkulu akufuna kumuntu, futhi inhliziyo yomuntu kufanele ikwazi ukubuyela Kuye ngokugcwele, iphendukele Kuye ngawo wonke umzuzu. Lona ngumnqobi. Labo uNkulunkulu athi bayanqoba yilabo abasakwazi ukufakaza, bangayeki ukuba nethemba, nokuzinikela kuNkulunkulu lapho bengaphansi kokuvinjezelwa nguSathane, okusho ukuthi, lapho bengaphansi kwamandla obumnyama. Uma usakwazi ukuba nenhliziyo ehlanzekile nokumthanda ngobuqotho uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi izimo zinjani, ufakaza phambi kukaNkulunkulu, futhi yilokhu uNkulunkulu athi ukuba ngumnqobi.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ungayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kuzo zonke izigaba zomsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kubantu, ngaphandle kubukeka sengathi ukuxhumana phakathi kwabantu, ongathi yinto edaleke emalungiselelweni enziwa umuntu noma kuvela ekuphazameni nokugxambukela komuntu. Kodwa esithe, sonke isinyathelo somsebenzi, nakho konke okwenzekayo, ukubheja okwenziwe nguSathane phambi kukaNkulunkulu, futhi kudinga ukuthi abantu bame baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu. Thatha isibonelo lapho uJobe wayevivinywa: Esithe, uSathane wabheja noNkulunkulu, futhi okwenzeka kuJobe kwakuyizenzo zabantu, nokugxambukela kwabantu. Emuva kwaso sonke isinyathelo uNkulunkulu asenzayo kini kunokubheja kukaSathane noNkulunkulu—emuva kwakho konke kunempi. Isibonelo, uma unobandlululo kubafowenu nodadewenu, uzoba namazwi ofuna ukuwasho—amazwi ozwa ukuthi ngeke amthokozise uNkulunkulu—kodwa uma ungawasho, uyozwa ungenelisekile ngaphakathi, futhi ngaleso sikhathi, impi izoqala ngaphakathi kuwe: “Ngikhulume noma cha?” Yilokhu-ke okuyimpi. Ngakho, kuyo yonke into ohlangana nayo kunempi, futhi uma kunempi kuwe, ngenxa yokubambisana kwakho nokuhlukumezeka kwakho uNkulunkulu uyasebenza phakathi kwakho. Ekugcineni, ngaphakathi kwakho uyakwazi ukubeka udaba eceleni kanti nentukuthelo iyacima ngokwemvelo. Unjalo-ke umthelela wokubambisana noNkulunkulu. Yonke into abantu abayenzayo idinga ukuthi bakhokhe inani elithile ngokuzikhandla kwabo. Ngaphandle kobunzima bangempela, abakwazi ukwanelisa uNkulunkulu, abasondeli nakancane ekutheni benelise uNkulunkulu, futhi basho iziqubulo ezingasho lutho nje! Lezi ziqubulo ezingasho lutho zingamanelisa yini uNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu noSathane belwa embusweni kamoya, kufanele umenelise kanjani uNkulunkulu, futhi kufanele ume kanjani uqine ebufakazini bakho Kuye? Kufanele wazi ukuthi yonke into eyenzeka kuwe ingukuvivinywa okukhulu futhi yisikhathi lapho uNkulunkulu ekudinga ukuthi ube nobufakazi. Ngaphandle, azibukeki zibalulekile kangako, kodwa lapho lezi zinto zenzeka ziyakhombisa ukuthi uyamthanda yini uNkulunkulu noma cha. Uma umthanda, uyokwazi ukuma ebufakazini bakho Kuye, futhi uma ungalukhombisi uthando Lwakhe, lokhu kukhombisa ukuthi awuyena umuntu owenza iqiniso, ukuthi awuyena ongenalo iqiniso, futhi awunakho ukuphila, nokuthi ungamakhoba! Yonke into eyenzeka kubantu ilapho uNkulunkulu ebadinga ukuthi bame baqine ebufakazini babo Kuye. Ayikho into enkulu eyenzeke kuwe njengamanje, futhi awunabo ubufakazi obukhulu, kodwa yonke imininingwane yempilo yakho yansuku zonke iphathelene nobufakazi bakho kuNkulunkulu. Uma ungawina ukunconywa ngabafowenu nodadewenu, amalungu omndeni wakho, kanye nabo bonke abaseduze nawe; uma, ngelinye ilanga, abangakholwa befika, futhi bethanda konke okwenzayo, futhi bebona ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuhle kakhulu, uyobe wethule ubufakazi. Nakuba ungenakuqonda futhi izinga lakho liphansi, ngokupheleliswa kwakho nguNkulunkulu, uyakwazi ukumanelisa nokuqikelela intando Yakhe, ukhombise abanye ukuthi Wenze umsebenzi omkhulu kangakanani kubantu abasezingeni eliphansi kunabo bonke. Lapho abantu befinyelela ekwazini uNkulunkulu, futhi beba ngabanqobi phambi kukaSathane, bathembeke kakhulu kuNkulunkulu, khona-ke akekho oba nesibindi ngaphezu kwaleli qembu labantu, futhi lokhu kuwubufakazi obukhulu kakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uthi, “Sizalwa ezweni lokungcola, kodwa ngenxa yokuvikelwa nguNkulunkulu, ngenxa yobuholi Bakhe, futhi ngenxa yokuthi Yena usinqobile, sikwazile ukulahla ithonya likaSathane. Ukuthi siyakwazi ukulalela namhlanje nakho kuwumthelela wokunqotshwa nguNkulunkulu, futhi akuve kungenxa yokuthi silungile, noma ngoba sasithanda uNkulunkulu ngokwemvelo. Yingoba uNkulunkulu wasikhetha, wasimisela phambilini, ukuthi sinqotshiwe namhlanje, siyakwazi ukufakazela Yena, futhi sikwazi ngisho ukumkhonza Yena; ngakho-ke yingoba usikhethile, futhi wasivikela, yingakho sisindisiwe futhi sakhululwa endaweni ephethwe nguSathane, futhi sikwazi ukushiya ngemuva ukungcola futhi senziwe msulwa ezweni likadrago omkhulu obomvu.”

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma uNkulunkulu esephenduke ukuphila phakathi kwabantu, angeke besakwazi ukushiya uNkulunkulu. Ingabe lokhu akusona yini isenzo sikaNkulunkulu? Abukho ubufakazi obukhulu kunalobu! UNkulunkulu usesebenze wafinyelela ezingeni elithile; uthe ukuze abantu benze inkonzo, futhi basolwe, noma bafe, abantu abakabuyeli emuva, okubonisa ukuthi sebenqotshiwe uNkulunkulu. Abantu abaneqiniso yilabo asebebhekane nezimo ngeqiniso, abangama beqinile ebufakazini babo, futhi bame baqinile endaweni yabo, bame ngakuNkulunkulu, ngaphandle kokuhlehla, futhi abangaba nobudlelwano obujwayelekile nabantu abathanda uNkulunkulu, abathi uma izinto zenzeka kubo, bekwazi ukulalela uNkulunkulu ngokupheleleyo, futhi bamlalele uNkulunkulu kuze kube sekufeni. Ukwenza kwakho nezambulo zokuphila kwangempela kuwubufakazi bukaNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuphila ngokuvumelana komuntu kanye nobufakazi ngoNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso; uma usufinyelele kuleli zinga, umphumela ofanele uzobe usufeziwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp