Kungani uhulumeni Wobukhomanisi WaseShayina eshushisa ngamandla, ecindezela futhi elandela ngesihluku uNkulunkulu Somandla kanye neBandla LikaNkulunkulu USomandla?

April 09, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Lesi yisizukulwane esibi” (Luka 11:29).

“Umhlaba wonke usebubini” (1 Johane 5:19)

“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, O Lusifa, ndodana yokusa!Nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owathobisa izizwe! Ngoba uthe enhliziyweni yakho, ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiyophakamisa isihlalo sami sobukhosi ngaphezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu: Ngiyohlala futhi entabeni yomhlangano, ngasekugcineni kwenyakatho: Ngiyakukhuphuka ngaphezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu; ngizenze ngibe njengoPhezukonke” (UIsaya 14:12-14).

“Futhi kwaba khona ukulwa ezulwini:UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe, Futhi abaze banqoba; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Wase ephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala, ebizwa ngokuthi uDeveli, noSathane, odukisa izwe lonke: waphonswa phansi emhlabeni, kanye nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye” (IsAmbulo 12:7-9).

“Futhi lapho udrako esebona ukuthi uphonswe phansi emhlabeni, washushisa owesifazane owayezale umntwana wesilisa” (IsAmbulo 12:13).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Nanka amaqiniso: Ngenkathi umhlaba ungakabibikho, ingelosi enkulu yayiyingelosi enkulu kunazo zonke ezulwini. Yiyo eyayinegunya phezu kwezinye izingelosi ezulwini; leli igunya uNkulunkulu ayinika lona. Ngaphandle kukaNkulunkulu, yiyo eyayinkulu kunezinye izingelosi ezulwini. Emva kwesikhathi uma uNkulunkulu esedala isintu, ingelosi enkulu yaba nokumkhaphela okukhulu uNkulunkulu emhlabeni. Ngithi yakhaphela uNkulunkulu ngoba yayifuna ukuphatha isintu nokuba namandla angaphezulu kukaNkulunkulu. Kwakuyingelosi enkulu eyalinga u-Eva ukuthi one; yakwenza lokhu ngoba yayifuna ukusungula owayo umbuso emhlabeni futhi yenze isintu sikhaphele uNkulunkulu futhi silalele yona. Yabona ukuthi zaziningi izinto ezaziyihlonipha; izingelosi zaziyihlonipha, kanjalo nabantu emhlabeni. Izinyoni nezilwane zasendle, izihlahla, namahlathi, izintaba, nemifula nakho konke okwakusemhlabeni kwakunakekelwa umuntu—lowo kwakungu-Adamu no-Eva—njengoba u-Adamu no-Eva bebeyihlonipha. Ingelosi enkulu yabe isinxanela ukudlula igunya likaNkulunkulu kanye nokukhaphela uNkulunkulu. Ekuhambeni kwesikhathi yaholela ekutheni nezinye izingelosi zingathembeki kuNkulunkulu, okwaba yimimoya eminingi emibi eyehlukene. Ingabe ukushintsha kwesintu kuze kube manje akuzange kubangelwe inkohlakalo yengelosi enkulu? Isintu siyilokhu esiyikho namuhla ngenxa yokuthi ingelosi enkulu ayithembekanga kuNkulunkulu yase yonakalisa abantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uyasebenza, uNkulunkulu unakekela umuntu, ubheka umuntu, kanti uSathane uyamlandelisisa. Noma ngubani uNkulunkulu amenzela umusa, uSathane naye uyamqapha, amlandele ngemuva. Uma uNkulunkulu efuna lo muntu, uSathane angenza konke okusemandleni akhe ukuvimba uNkulunkulu, ngokusebenzisa izindlela ezimbi ezininginingi ukulinga, ukuhlupha nokuphihliza umsebenzi uNkulunkulu awenzayo ukuze afeze injongo yakhe efihliwe. Ingabe yini injongo yakhe? Akafuni ukuba uNkulunkulu abe noma nobani; ufuna bonke labo uNkulunkulu abafunayo, ukuhlala kubona, ukubalawula, ukubaphatha ukuze bakhonze yena, ukuze benze izenzo ezimbi kanye naye. Ingabe akuyona inhloso kaSathane embi? … USathane usempini noNkulunkulu, elandela njalo ngemuva Kwakhe. Injongo yakhe ukudiliza wonke umsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza, ukuthathela kuye nokulawula labo uNkulunkulu abafunayo, ukucima ngokuphelele labo uNkulunkulu abafunayo. Uma bengapheliswanga nya, baba ngabakaSathane ukuze basetshenziswe nguye—lena injongo yakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuvezwa kukadrako omkhulu obomvu kungukumelana Nami, ukuntula ukuqonda nokuzwa imiqondo yamazwi Ami, ukungishushisa okuningi, nokufuna ukusebenzisa amacebo ukuphazamisa ukuphatha Kwami. … Udrako omkhulu obomvu engikhuluma ngaye akuyena udrako omkhulu obomvu; empeleni umoya omubi ophikisa Mina, okuyigama elimqondo ofanayo “nodrako omkhulu obomvu”.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 96” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ulwazi ngesiko lasendulo lumthumbe ngesinyenyela umuntu, lwamsusa phambi kukaNkulunkulu, lwanikela umuntu enkosini yodeveli namadodana ayo. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele[a] athathe ukucabanga nombono womuntu akubeka kwenye inkathi yokuhlubuka, enza ukuthi muntu abakhonze kakhulu kunangaphambili labo abahlanganisa iNcwadi/Iqoqo Lemibhalo Evelele, neMibhalo Evelele, andisa imibono yabo ngoNkulunkulu. Inkosi yodeveli yamxosha ngonya uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu, umuntu enganakile, ngenkathi ingena ngenjabulo enhliziyweni yomuntu. Kusukela lapho, umuntu wayelokhu enomphefumulo omubi futhi ononya onobuso benkosi yodeveli. Ukuzonda kwakhe uNkulunkulu kwagcwalisa izifuba zabo, nenzondo yenkosi yodeveli kwasabalala kumuntu usuku nosuku kwaze kwamudla kwamqeda umuntu. Umuntu wayengasenayo nencane inkululeko futhi wayengasenandlela yokugqashula izibopho zenkosi yodeveli. Wayengeke enze lutho ngaphandle kokubanjwa khona lapho, ukuba azinikele futhi awe phansi ngokuzinikela phambi kwakhe. Kudala, lapho inhliziyo nomphefumulo womuntu kusekuncane, inkosi yodeveli yatshala kukho imbewu yomdlavuza wokungakholwa kuNkulunkulu, yafundisa umuntu amanga afana nokuthi “funda ngesayensi nobuchwepheshe, feza Izinto Ezine Zesimanjemanje, akekho uNkulunkulu emhlabeni.” Ayigcinanga lapho, yabuye yamemezela ngokuphindaphindiwe ukuthi, “Ake sakhe izwe elihle ngomsebenzi wethu wokukhuthala,” icela bonke abantu kusukela ebuntwaneni ukuba balungele ukukhonza izwe labo. Umuntu walethwa engaboni phambi kwayo, futhi udumo yaluthatha ngaphandle kokunqikaza (kubhekiswe kuNkulunkulu ephethe sonke isintu ngezandla Zakhe). Ayikaze nakanye izwe ukudumazeka. Ngaphezu kwalokho, yathumba abantu bakaNkulunkulu yabafaka endlini yayo ngaphandle kwamahloni, lapho igxumela etafuleni njengegundane futhi yenza umuntu ayikhonze njengoNkulunkulu. Iyingozi kakhulu! Imemeza amahlazo ashaqisayo, “Akekho uNkulunkulu emhlabeni. Umoya ubangelwa yimithetho yemvelo; imvula iwumswakama oshubayo bese uwa ungamaconsi phezu komhlaba; ukuzamazama komhlaba kuwukunyakaza kwengaphezulu lomhlaba ngenxa yezinguquko zokwakheka komhlaba; isomiso sibangelwa ukoma komoya okwenziwa ukuphazanyiswa kwengaphezulu lelanga ngamandla enunzi. Lezi yizinto ezenzeka ngokwemvelo. Iyiphi ingxenye eyisenzo sikaNkulunkulu?” Kukhona nalabo abamemeza izinkulumo ezifana nezilandelayo, izinkulumo okungafanele zize zigqanyiswe: “Umuntu uguquke esuka ezinkawini zasendulo, futhi umhlaba wanamuhla uvela ochungachungeni lwemiphakathi yakudala kusuka eminyakeni ebalelwa ezigidini eziyisigidi edlule. Ukuthi izwe liyachuma noma liyawa kusezandleni zabantu balo ngokuphelele.” Ngemva kwakhe, yenza ukuba umuntu ayilengise odongeni noma ayibeke etafuleni ukuze ayikhonze futhi anikele kuyo. Ngaso leso sikhathi imemeza ithi, “Akekho uNkulunkulu,” izibheka njengoNkulunkulu, ikhipha uNkulunkulu emingceleni yomhlaba ngokungaphezi. Ima endaweni kaNkulunkulu yenzise okwenkosi yodeveli. Ubuphukuphuku obukhulu! Yenza umuntu adliwe yinzondo ewushevu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu uyisitha sayo esikhulu futhi uNkulunkulu akabuyisani nayo. Iceba ukuxosha uNkulunkulu ibe ilokhu ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka.[1] Iwuhlobo olunje lwenkosi yodeveli! Singakubekezelela kanjani ukuba khona kwayo? Ngeke iphumule kuze kube lapho isiphazamise umsebenzi kaNkulunkulu yawushiya umanikiniki futhi unhlakanhlaka ngokuphelele,[2] sengathi ifuna ukuphikisa uNkulunkulu kuze kube sekugcineni, kuze kube yilapho kufa khona inhlanzi noma kudabuka khona inetha. Imelana ngamabomu noNkulunkulu futhi iya ngokuya isondela. Ubuso bayo obunyanyekayo kade bembulwa ngokuphelele futhi manje bunezibazi futhi bunamaphuphusi,[3] buyanyantisa, kodwa ayikuyeki ukuzonda kwayo uNkulunkulu, sengathi ifuna ukushwabadela uNkulunkulu ngokuphelele ngethamo elilodwa ukuze kuphele inzondo esenhliziyweni yayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusukela phezulu kuye phansi, futhi kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni, uSathane ubelokhu ephazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi ephikisana Naye. Zonke izinkulumo zamasiko asendulo, ulwazi olubalulekile ngamasiko asendulo, izimfundiso zobuTao nezobuConfucian, imisebenzi evelele yobuConfucian kanye namasiko empilo yakudala kungenise umuntu esihogweni. Isayensi nezobuchwepheshe okuphezulu kwamanje, kanye nezezimboni ezithuthukile, ezolimo, nezamabhizinisi akusabonwa nangalukhalo. Kunalokho kuqhakambisa amasiko akudala asungulwe “ngezinkawu” zasendulo ukuze kuphazanyiswe ngenhloso, kuphikiswe futhi kubhidlizwe umsebenzi kaNkulunkulu. Akugcinanga nje ngokuhlukumeza umuntu kuze kube manje, kodwa kufuna ukushwabadela[4] umuntu ngokuphelele. Imfundiso yomthetho nendlela yokuphila yakudala nokudlulisa ulwazi lwamasiko asendulo kade kwamthelela umuntu futhi kwaphendula abantu baba odeveli abakhulu nabancane. Kunedlanzana elizimisele ukwamukela uNkulunkulu nokwamukela ngentokozo ukufika kukaNkulunkulu. Ubuso bomuntu bugcwele ukubulala, futhi kuzo zonke izindawo, ukufa kusemoyeni. Bafuna ukugudluza uNkulunkulu kuleli zwe; bephethe imimese nezinkemba, bazihlela ngokwempi ukuze babulale uNkulunkulu. Izithixo zisakazeke zagcwala lonke izwe likadeveli lapho umuntu ehlala etshelwa khona ukuthi akekho uNkulunkulu. Phezu kwalo mhlaba kugcwele iphunga elinyanyisayo lephepha nempepho eshayo, likhulu ngendlela ecinanisayo. Kubonakala kuyiphunga lodaka elikhuphukayo lapho inyoka izisonga, futhi lenele ukwenza umuntu angakwazi ukugwema ukuhlanza. Ngaphandle kwalokho, kuzwakala ngokufiphele amadimoni amabi ecula imibhalo. Lo msindo uzwakala sengathi uvela kude esihogweni, futhi ayikho into engenziwa umuntu ngaphandle kokuzwa umzimba uhlasimula. Kulo lonke leli zwe kusabalele izithixo, ezinemibalabala yothingo lwenkosazane, eziphendula izwe libe umhlaba wezinjabulo zenyama, lapho inkosi yodeveli ilokhu ihleka ngonya, kungathi icebo layo elibi liphumelele. Kodwa umuntu akakuboni nhlobo, akaboni nokuthi udeveli usemonakalise ngezinga lokuthi akusazweli lutho futhi unqotshiwe. Ufisa ukususa konke okumayelana noNkulunkulu ngegalelo elilodwa, nokubuye amngcolise futhi ambulale; uzimisele ukucekela phansi nokuphazamisa umsebenzi Wakhe. Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba abe sezingeni elilinganayo? Angakubekezelela kanjani “ukugxambukela” kukaNkulunkulu emsebenzini wakhe phakathi kwabantu emhlabeni? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obubi? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obunyanyekayo? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba aphazamise umsebenzi wakhe? Lo develi, uvutha bhe intukuthelo, angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba alawule ihlalankosi lombuso wakhe emhlabeni? Angawucela kanjani umaluju? Ubuso bakhe bembuliwe ubunjalo babo, okwenza umuntu angazi ukuthi kufanele ahleke noma akhale yini, futhi yinto okunzima ngempela ukukhuluma ngayo. Ingabe le akuyona ingqikithi yakhe?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinkulungwane zeminyaka leli bekulokhu kuyizwe eligcwele ukungcola, lingcole ngokwedlulele, ligcwele usizi, izipokwe zigijima zigcwale zonke izinkalo, bayaphamba futhi bakhohlise, basola ngaphandle kwesizathu,[5] banonya futhi babi, bathuthumelisa izipokwe bazishiye nezidumbu; ukubola kumboze izwe kungcolisa nomoya, kuqashwe kakhulu.[6] Ubani ongabona umhlaba ongale kwesibhakabhaka? Udeveli uwubambe ngqi wonke umzimba womuntu, umkopolote womabili amehlo, wawuvala wawuqinisa umlomo wakhe. Inkosi yodeveli ibilokhu uphulukundlela zonke lezi zinkulungwane zeminyaka, kuze kube namuhla, ngesikhathi isanake idolobha lezipoki, njengokungathi isigodlo samademoni esiqinile; ngesikhathi esifanayo, lezi zinja ezigadile, ziwakhiphe wonke amehlo, zesaba ukuthi uNkulunkulu uzozibamba zinganakile aziqothule, azishiye zingasenayo indawo yokuthula nokujabula. Babengambona kanjani uNkulunkulu abantu besipokwe sedolobha abafana nalaba? Ingabe bake baluzwa uthando lukaNkulunkulu? Bayazazisa yini izindaba zomhlaba wesintu? Ubani kubo ongaqonda ugqozi lwentando kaNkulunkulu? Okuncane okudidayo nje mayelana nokuzifihla kukaNkulunkulu osesimweni somuntu: Emphakathini omnyama njengalona, lapho kunamademoni anonya nangenabo ubuntu, kungenzeka kanjani ukuba inkosi yodeveli, ebulala abantu ngokungangabazi nakancane, ibekezelele ukuba khona kukaNkulunkulu onothando, onomusa, futhi ongcwele? Zingakujabulela futhi zikuhalalisele kanjani ukufika kukaNkulunkulu? Labo thathekile! Babonga umusa ngenzondo, bebelokhu bengamthandi uNkulunkulu, bemhlukumeza, bakhohlakele kabi, abamazi nokuthi uyini uNkulunkulu, bayamntshontshela futhi bamthuke, abasenawo nhlobo unembeza, baphikisana nawo wonke unembeza, futhi benza omsulwa angabi nangqondo. Ingabe bangokhokho basendulo? Abaholi abathandwayo? Bonke bamelene noNkulunkulu! Ukuba kwabo ogaxekile kushiye bonke abasezulwini besesimweni sobumnyama nesiyaluyalu! Ingabe inkululeko yenkolo? Ingabe amalungelo nezinto ezithandwa izakhamuzi? Konke kungamacebo okumboza isono! Ubani owamukele umsebenzi kaNkulunkulu? Ubani obeke phansi ukuphila kwabo noma wachitha igazi ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu? Izizukulwane ngezizukulwane, kusukela kubazali kuya ezinganeni, umuntu oyisigqila ngokushesha uphenduke isigqila sikaNkulunkulu—kungahlala kanjani lokhu kungamthukuthelisi? Izinkulungwane zeminyaka yenzondo zigxile enhliziyweni, izinkulungwane zesono zisenhliziyweni—kungahlala kanjani lokhu kungayikhuthazi inzondo? Kuphindiselele uNkulunkulu, kubuqede bonke ubutha, ungabe usakuvumela, ungakuvumeli ukuba kudale ezinye izinkinga njengoba kufisa! Manje isikhathi: Umuntu ubelokhu eqoqa amandla akhe, unikele ngayo yonke imizamo yakhe, wakukhokha konke, ngenxa yalokhu, ukuze embule ubuso bamademoni futhi avumele abantu, abenziwe izimpumputhe, wabekezelela lonke uhlobo lokuhlupheka nobunzima, ukuze aqede ubuhlungu futhi ajikele lo develi omdala omubi. Kungani uhlanganisa lezi zithikamezo emsebenzini kaNkulunkulu? Kungani uceba okubi ukuze ukhohlise abantu bakaNkulunkulu? Ikuphi inkululeko yangempela namalungelo kanye nokuthandwayo? Buphi ubulungiswa? Iphi induduzo? Iphi imfudumalo? Kungani usebenzisa inkohliso ukuze uphambe abantu bakaNkulunkulu? Kungani usebenzisa amandla ukuze ucindezele ukuza kukaNkulunkulu? Kungani ungamvumeli uNkulunkulu azulazule emhlabeni awudala? Kungani uba isicefe kuNkulunkulu aze angabi nayo indawo yokuphumuza ikhanda Lakhe? Ikuphi imfudumalo kubantu? Ukuphi umoya wokwamukelana kubantu? Kungani nikhathaza uNkulunkulu? Kungani nifuna uNkulunkulu elokhu enibiza? Kungani niphoqa uNkulunkulu ukuba akhathazeke ngeNdodana Yakhe ayithandayo? Kulo mphakathi onobumnyama kungani izinja zawo ezigadile ezilusizana zingamvumeli uNkulunkulu ukuba angene aphume emhlabeni awudala?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

USathane unqoba udumo ngokukhohlisa umphakathi. Uvame ukuzimisa njengemaphikankani nesibonelo sokulunga. Ezishaya njengomlondi wokulunga, ulimaza abantu, ashwabadele imiphefumulo yabo, asebenzise izinto eziningi ukwenza umuntu abe ndikindiki, amkhohlise futhi amhlohle amchukuluze. Umgomo wakhe ukwenza umuntu avumelane futhi alandele ukuziphatha kambi kwakhe, ukwenza umuntu amlandele ekumeleni igunya nobukhosi bukaNkulunkulu. Kepha, lapho umuntu esewahlakaniphela amaqhinga, amacebo kanye nokubukeka kabi kwakhe futhi engasafuni ukuqhubeka ukunyathelwa nokukhohliswa, noma ukuqhubeka abe yisigqila sakhe noma ajeziswe futhi abhubhiswe kanye naye, uSathane uyaguqula izici zakhe zobungcwelengcwele futhi adabule isembozo samanga, ukuveza ubuso bakhe bangempela obubi, obunonya, obumahlikihliki nobunobudlova. Ayikho into angayithanda ukudlula ukuqothula bonke labo abanqabayo ukumlandela futhi labo abamelene namandla obubi. Ngaleso sikhathi, uSathane akasakwazi ukuziveza enokubukeka okuthembekile kwencwasimende; kunalokho, izici zakhe zangempela ezimahlikihliki nezimbi ziyavela ngaphansi kwezingubo zemvu. Lapho amaqhinga kaSathane esevele obala, lapho izici zakhe zangempela sezivele obala, uvuka umbhejazane, avuke ngolaka, aveze unya lwakhe; isifiso sakhe sokulimaza nokushwabadela abantu siyakhula siqonge kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi kumvusa ulaka ukuphaphama komuntu; uba nesifiso esikhulu sokuziphindiselela kumuntu ngenxa yentshisekelo yabo ukulangazelela inkululeko kanye nokukhanya kanye nokukhululeka ejele lakhe. Ulaka lwakhe luhlose ukuvikela ububi bakhe, futhi luyisambulo sangempela semvelo yakhe enonya.

Kulo lonke udaba ngalunye, ukuziphatha kukaSathane kuveza obala imvelo yakhe embi. Ezenzweni zonke ezimbi uSathane ake wazenza kumuntu—kusukela emizamweni yakhe yasekuqaleni lapho ayezama ukudukisa umuntu ukuthi amlandele, ukuxhaphaza kwakhe umuntu, lapho edonsela umuntu ezenzweni zakhe ezimbi, kanye nokuziphindiselela kwaSathane kumuntu emuva kokuthi izici zakhe zangempela sezivele obala nomuntu esekubonile lokhu futhi wamshiya—asikho nesisodwa esihlulekayo ukudalula ingqikithi kaSathane embi; asikho nesisodwa esihlulekayo ukufakazela ukuthi uSathane akahlanganise lutho nezinto ezilungile; asikho nesisodwa esihlulekayo ukufakazela ukuthi uSathane umthombo wazo zonke izinto ezimbi. Zonke izenzo zakhe zilonda ububi bakhe, zigcina ukuqhubeka kwezenzo zakhe ezimbi, ziyaphambana kanye nezinto ezilungile nezinhle, zimosha imithetho nokuhleleka kwempilo ejwayelekile yesintu. Zinobutha noNkulunkulu, futhi ziyilokho ulaka lukaNkulunkulu oluzozibhubhisa. Nakuba uSathane enolwakhe ulaka, ulaka lwakhe luyindlela yokukhiphela ngaphandle imvelo yakhe embi. Isizathu sokuthi uSathane ecasukile futhi evuka indlobane yilokhu: amaqhinga akhe angakhulumeki asedaluliwe; amacebo akhe awaphumeleli kalula; ukuzimisela nesifiso Sakhe esidlangile sokuthatha indawo kaNkulunkulu nokuzenza uNkulunkulu sishaywe phansi savinjwa; umgomo wakhe wokulawula sonke isintu uphenduke ize manje futhi ngeke usaphinde wenzeke.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka” kubonisa ukuthi udeveli uqhubeka nokuphambana ikhanda kanye nokudlebeleka.

2. “Unhlakanhlaka ngokuphelele” kubhekise endleleni ukuziphatha ngobudlova kukadeveli okungabekezeleleki ngayo.

3. “Bunezibazi futhi bunamaphuphusi” kubhekise ebusweni obubi benkosi yodeveli.

4. “Ukushwabadela” kubhekise endleleni yokuziphatha kobudlova kwenkosi yodeveli, okuphanga abantu ngokuphelele.

5. “Ukusola ngaphandle kwesizathu” kubhekise ezindleleni udeveli alimaza ngazo abantu.

6. “Kuqashwe kakhulu” kubonisa ukuthi izindlela udeveli ahlupha ngazo abantu zimbi ngokukhethekile futhi ulawula abantu kangangokuthi abanalo ithuba lokunyakaza.

a. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele yizincwadi ezithathwa njengezinegunya enkolweni yeConfucianism eShayina.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp