EBhayibhelini kuthiwa, alikho elinye igama ngaphansi kwezulu elinikwe abantu, kuphela uMsindisi nguJesu Kristu, onguye izolo, nanamuhla, naphakade. Kodwa namuhla kungani nikholwa kuNkulunkulu uSomandla?

November 02, 2017

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

"Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha" (IsAmbulo 3:12)

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Ingqikithi Yakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwaguquka. Umsebenzi Wakhe, nokho, uhlala uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba Yena uhlala emusha futhi akasoze aguga.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

“UJehova” yigama engalisebenzisa ngenkathi ngisebenza kwa-Israyeli, futhi lisho uNkulunkulu wama-Israyeli (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu) ongazwela umuntu, amqalekise umuntu futhi aqondise ukuphila komuntu. Lisho uNkulunkulu onamandla amakhulu futhi ogcwele ukuhlakanipha. “UJesu” ungu-Emanuweli, okusho umnikelo wesono ogcwele uthando, ogcwele ububele futhi okhulula isintu. Wenza umsebenzi Wenkathi Yomusa, futhi wamelela ingxenye eyodwa yohlelo lokuqondisa. Okusho ukuthi, uJehova kuphela onguNkulunkulu wabantu baka-Israyeli abakhethiweyo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, uNkulunkulu kaJakobe, uNkulunkulu kaMose noNkulunkulu wabo bonke abakwa-Israyeli. Ngakho nakule nkathi, bonke abakwa-Israyeli ngaphandle kwesizwe samaJuda bakhonza uJehova. Bamenzela iminikelo e-altare futhi bamkhonze begqoke izingubo zabapristi ethempelini. Abanethemba lakho ukubonakala kukaJehova futhi. NguJesu kuphela ongoMhlengi wesintu. Ungumnikelo wesono owahlenga isintu esonweni. Okusho ukuthi, igama likaJesu livela eNkathini Yomusa, futhi belilokhu likhona ngenxa yomsebenzi wokukhulula weNkathi Yomusa. Igama likaJesu libe khona ukuze abantu bangeNkathi Yomusa bazalwe kabusha futhi basindiswe, futhi liyigama elithile lokuhlenga sonke isintu. Ngakho igama likaJesu limelela umsebenzi wokuhlenga, futhi lisho iNkathi Yomusa. Igama elithi Jehova, liyigama elithile labantu bakwa-Israyeli ababephila ngaphansi komthetho. ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. “UJehova” umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli. “UJesu” umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa. Uma umuntu elangazelela ukufika kukaJesu uMsindisi phakathi nezinsuku zokugcina, kodwa esalindele ukuba afike engumfanekiso ayeyiwo eJudiya, ngakho lonke uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luzoma ngeNkathi Yokuhlengwa, futhi angeke akwazi uqhubekele phambili. Ngaphezu kwalokho, izinsuku zokugcina azisoze zafika, futhi inkathi ngeke iqedwe. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu uMsindisi uhlenga futhi asindise isintu. Ngathatha igama likaJesu ngenzela zonke izoni zangeNkathi Yomusa futhi akulona igama engizoliletha ukuqeda ngesintu. Nakuba uJehova, uJesu kanye noMesiya bonke bemelela uMoya Wami, la magama abonisa kuphela izinkathi ezihlukahlukene zohlelo Lwami lokuqondisa futhi awameleli sonke isiqu Sami. Amagama abantu abasemhlabeni abangibiza ngawo awakwazi ukusiveza sonke isimo Sami semvelo nakho konke engiyikho. Amane angamagama nje engibizwa ngawo ezinkathini ezingafani. Futhi, lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya, kodwa ngizobizwa ngoMninimandla Onke UNkulunkulu Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi. Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo. Abantu abakaze baxhumane Nami futhi abakaze bangazi, bebelokhu bengasinakile isimo Sami semvelo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube namhlanje, akekho owake wangibona. Lona nguNkulunkulu obonakala kubantu phakathi nezinsuku zokugcina kodwa ofihlekile ebantwini. Uhlala ebantwini, uyiqiniso futhi ungokoqobo njengelanga elishisayo nomlilo ovutha amalangabi, onamandla nogcwaliswe ngegunya. Akekho noyedwa umuntu noma into engeke yahlulelwa ngamazwi Ami, futhi akekho noyedwa ongeke angacwengwa ngomlilo ovuthayo. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa yamazwi Ami, futhi ziyophihlizwa zibe yizicucu ngenxa yamazwi Ami. Ngaleyo ndlela, bonke abantu ngezinsuku zokugcina bayobona ukuthi nginguMsindisi obuyile, nginguNkulunkulu uMninimandla Onke onqobe sonke isintu, owake waba ngumnikelo wesono kubantu, kodwa ezinsukwini zokugcina ngiba nayimisebe yelanga eshisa zonke izinto, kanye nelanga lokulunga elambula izinto zonke. Lowo umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngithathe leli gama futhi nginalesi simo semvelo ukuze bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu olungile, futhi ngiyilanga elishisayo, nomlilo onamalangabi. Ukuze bonke bangidumise Mina Nkulunkulu weqiniso, babubone ubuso Bami bangempela: Angiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi angiyena nje uMhlengi—nginguNkulunkulu wayo yonke indalo emazulwini nasemhlabeni nasolwandle.

kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ingabe igama likaJesu— “UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Ngakho-ke, kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe. … Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, ukuthi ubizwa ngokuthi uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla amakhulu, ohlakaniphe kakhulu, ophakeme kakhulu, omangalisa kakhulu, ofihlakele kakhulu, onamandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okuncane okwaziyo. Njengoba kunjalo, ingabe igama nje likaJesu lingamela uNkulunkulu uqobo? Lapho izinsuku zokugcina zifika, nakuba kusenguye uNkulunkulu owenza umsebenzi Wakhe, igama Lakhe kufanele liguquke, ngoba sekuyinkathi eyehlukile.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye bathi igama likaNkulunkulu aliguquki, pho kungani igama likaJehova laphenduka uJesu? Kwaphrofethwa ngokuza kukaMesiya, pho kungani kweza indoda egama layo linguJesu? Kungani laguquka igama likaNkulunkulu? Ingabe umsebenzi onjena awenziwanga kudala? UNkulunkulu akakwazi ukwenza umsebenzi omusha namuhla? Umsebenzi wayizolo ungaguqulwa, futhi umsebenzi kaJesu ungalandela lowo kaJehova. Ungeke pho umsebenzi kaJesu ulandelwe omunye umsebenzi? Uma igama likaJehova lingaguqulwa libe nguJesu, pho kungani igama likaJesu nalo lingeke liguqulwe? Lokhu akuyona into engajwayelekile, futhi abantu bacabanga kanjena[a] kuphela ngenxa yokuthatha izinto kalula. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu. Noma umsebenzi Wakhe ungaguquka negama Lakhe, isimo Sakhe nobuhlakani ngeke kuguquke kuze kube phakade. Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu angabizwa ngegama elithi Jesu, lokho kusho ukuthi unolwazi oluncane kakhulu.

kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Okusho ukuthi.”

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Sithinte nge-Whatsapp