Uthando Lwangempela lukaNkulunkulu Luyazenzakalela

Bonke abantu bake balungiswa ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Uma kwakungazange kwenzeke ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ngokuqinisekile isintu ngabe asibusiswanga ukuba sihlupheke ngaleyo ndlela. Kungabuye kubekwe ngale ndlela— labo abakwaziyo ukwamukela ukulingwa ngamazwi kaNkulunkulu bangabantu ababusisiwe. Ngokwamandla abantu akuqala, ukuziphatha kwabo, nezimo zabo zengqondo ngoNkulunkulu, abafanelwe ukwamukeliswa lolu hlobo lokulungiswa. Kungenxa yokukhuthazwa nguNkulunkulu ukuba bajabulele lesi sibusiso. Abantu babethi abafanelwe ukubona ubuso bukaNkulunkulu noma ukuzwa amazwi Akhe. Namhlanje ngokuphelele kungenxa yokukhuthazwa uNkulunkulu kanye nesihawu Sakhe ukuba abantu bamukele ukulungiswa ngamazwi Akhe. Lokhu kuyisibusiso sawo wonke muntu ngamunye ozalwe ezinsukwini zokugcina—senike nazizwela le nto mathupha? Ingayiphi indlela abantu ekumele bahlupheke ngayo futhi babe nokubuyiseleka emuva kungesimiso sikaNkulunkulu, akusekelwe izidingo zabantu. Lokhu kuyiqiniso eliphelele. Lonke ikholwa kufanele libe nekhono lokubhekana nokulingwa amazwi kaNkulunkulu futhi bahlupheke phakathi emazwini Akhe. Ingabe lokhu kuyinto eniyibona ngokucacilile na? Ngakho ukuhlupheka osudlule kuko kuthengiselwe izibusisio zanamuhla; Uma ungamuhluphekeli uNkulunkulu, ngeke uzuze udumo Lwakhe. Kungenzeka ukuthi uke wakhononda phambilini, kodwa noma ngabe ukhononde kangakanani uNkulunkulu akakukhumbuli lokho ngawe. Usuku lufikile futhi asikho isizathu sokubheka izindaba zayizolo.

Abanye abantu bathi bayazama ukuthanda uNkulunkulu kodwa abakwazi, futhi uma bezwa ukuthi uNkulunkulu usezohamba baba nothando Lwakhe. Abanye abantu ngokuvamile abalenzi iqiniso, futhi uma bezwa ukuthi uNkulunkulu usezohamba ngentukuthelo beza ngaphambili Kwakhe bathandaze: “Oh Nkulunkulu! Ngiyacela ungahambi. Ngiphe ithuba! Nkulunkulu! Angikwenelisanga ngaphambilini; Nginecala Kuwe futhi ngaphikisana Nawe. Namhlanje ngizimisele ukunikela umzimba wami nenhliziyo ngokuphelele ukuze ekugcineni ngikwazi ukukwenelisa Wena futhi ngikuthande Wena. Ngeke ngibe nalo lelo thuba futhi.” Uke walenza lolo hlobo lomthandazo? Uma umuntu ethandaza ngale ndlela kungenxa kanembeza wakhe ovuswe ngamazwi kaNkulunkulu. Abantu abanamizwa futhi bayaphuza ukuqonda. Bangasolwa futhi balungiswe kodwa abazi ukuthi uNkulunkulu ufeza ni. Uma uNkulunkulu akasebenzanga ngale ndlela, abantu bangabe basadidekile; akukho noyedwa ongagqugquzela imizwa kamoya ezinhliziyweni zabantu. Kungamazwi kaNkulunkulu kuphela okwahlulela nokudalula abantu angavuna leso sithelo. Ngakho, zonke izinto zifeziwe futhi ziphelelisiwe ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi kungenxa yamazwi Akhe kuphela ukuthi uthando labantu ngoNkulunklu luvusiwe. Uma abantu bethanda uNkulunkulu ngenxa yanembeza wabo kuphela ngeke babone imiphumela. Abantu abasuselanga uthando lwabo lukaNkulunkulu emigomweni wabo yaphambilini? Ngabe ukhona umuntu noyedwa owathatha isinyathelo sokuthanda uNkulunkulu? Bekungenxa yokukhuthazwa amazwi kaNkulunkulu kuphela ukuba bathande uNkulunkulu. Abanye abantu bathi: “Sengimulandele iminyaka eminingi uNkulunkulu futhi ngajabulela kakhulu umusa Wakhe, izibusiso eziningi. Ngidlule ekulungisweni nokwahlulelwa ngamazwi Akhe. Ngakho sengiyaqonda okuningi, futhi sengilubonile uthando lukaNkulunkulu. Kufanele ngimubonge Yena, kufanele ngibuyisele umusa Wakhe. Ngizomenelisa uNkulunkulu ngokufa, futhi ngizosekela uthando lwami Ngaye kunembeza wami.” Uma abantu bethembele kwimizwa kanembeza wabo, ngeke bezwe uthando lukaNkulunkulu; uma bethembele kunembeza wabo, uthando lwabo ngoNkulunkulu luzoba buthaka. Uma ukhuluma ngokubuyisela umusa nothando lukaNkulunkulu kuphela, ngeke ubenomdlandla othandweni Ngaye; ukumthanda Yena ngenxa yemizwa yanembeza kuyindlela engenamiphumela. Kungani ngithi kuyindlela engenamiphumela? Lolu udaba olwenzekayo. Hlobo luni lothando lolu? Akusikho ukuzama ukukhohlisa uNkulunkulu nokwenzela Yena nje? Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ayikho inzuzo ngokuthanda uNkulunkulu, futhi umuntu uzosolwa ngokufanayo nangokungamthandi Yena, ngakho lilonke nje ukungoni akwanele. Ngakho ukuthanda uNkulunkulu nokubuyisela uthando Lwakhe ngenxa yemizwa yanembeza womuntu kuyindlela engenamiphumela, futhi akusilo uthando ngoNkulunkulu olufika ngokuzenzakalelayo enhlizyweni yomuntu. Uthando ngoNkulunkulu kufanele kube umuzwa woqobo ovela ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. Abanye abantu bathi: “Mina ngokwami ngizimsele ukuphikelela kuNkulunkulu futhi ngilandele Yena. Manje uNkulunkulu ufuna ukungilahla kodwa ngisafuna ukumlandela Yena. Noma ngabe uyangifuna noma cha, ngisazomthanda Yena, futhi ekugcineni kumele ngimzuze Yena. Nginikela inhliziyo yami kuNkulunkulu, nanoma yini Ayenzayo, ngizolandela Yena impilo yami yonke. Noma ngabe yini, kufanele ngimthande uNkulunkulu futhi kufanele ngizuze Yena; ngeke ngiphumule ngize ngizuze Yena.” Ngabe unaso isifiso esifana nalesi?

Indlela yokukholelwa kuNkulunkulu kuyindlela yokuthanda Yena. Uma ukholelwa kuYena kufanele uthande Yena; noma kunjalo, ukuthanda Yena akusho ukubuyisela uthando Lakhe kuphela noma ukuthanda Yena ngenxa yemizwa yanembeza— uthando olumsulwa ngoNkulunkulu. Kunezikhathi lapho abantu bencika kunembeza wabo futhi abakwazi ukuzwa uthando lukaNkulunkulu. Kungani ngihlezi ngithi: “Kwangathi uMoya kaNkulunkulu anganyakazisa umoya wethu”? Kungani ngingakhulumi ngokunyakaziswa kwanembeza wabantu ukuthi bathande uNkulunkulu? Kungoba unembeza wabantu awukwazi ukuzwa uthando lukaNkulunkulu. Uma ungaqinisekile ngalawo mazwi, ungasebenzisa unembeza wakho ukuba uzwe uthando Lwakhe, futhi ubenomdlandla ngalowo mzuzu kodwa uzoshabalala. Uma usebenzisa unembeza wakho kuphela ukuzwa uthando lukaNkulunkulu, uba nomdlandla uma uthandaza, kodwa emva kwalokho luvele luphele, lushabalale. Ngabe kumayelana nani lokho? Uma usebenzisa unembeza wakho kuphela ngeke ukwazi ukuvusa uthando lakho laNkulunkulu; uma uzwa ngempela uthando Lwakhe enhliziyweni yakho umoya wakho uzonyakaziswa Nguye, futhi kungaleso isikhathi kuphela lapho unembeza wakho ungakwazi ukudlala indima yawo yoqobo. Lokho okusho ukuthi uma abantu sebenyakazisiwe uNkulunkulu emoyeni wabo nezinhliziyo zabo sezizuze ulwazi nokukhuthazwa, okusho ukuthi, emumva kokuzuza ulwazi, kulapho bezokwazi kahle ukuthanda uNkulunkulu ngonembeza wabo. Ukuthanda uNkulunkulu ngonembeza akusiyo into engalungile— lokhu kuyizinga eliphansi konawo wonke lokuthanda uNkulunkulu. Indlela yabantu yokuthanda yokugcina icala kumusa kaNkulunkulu impela ngeke babe namandla okukhuthalela ukungena kwabo. Uma abantu bethola ingxeye yomsebenzi kaMoya oNgcwele, lokho okusho ukuthi, uma bebona futhi benambitha uthando lukaNkulunkulu kwabakwenzayo, uma benolwazi lwaNkulunkulu futhi bebona ngokweqiniso ukuthi uNkulunkulu ufanelwe kakhulu uthando lwesintu nokuthi Muhle kangakanani, yilapho kuphela abantu bekwazi ukumthanda ngokweqiniso uNkulunkulu.

Uma abantu bethintana noNkulunkulu ngezinhliziyo zabo, uma izinhliziyo zabo sezikwazi ukuphendukela kuYena ngokuphelele, lesi isinyathelo sokuqala sothando lomuntu kuNkulunkulu. Uma ufuna ukuthanda uNkulunkulu, kufanele ukwazi ukuphendulela inhliziyo yakho kuYena. Kuyini ukuphendulela inhliziyo yakho kuNkulunkulu? Kulapho konke okuphokophele ngenhliziyo yakho kungenxa yokuthanda nokuzuza uNkulunkulu, lokhu kukhombisa ukuthi uyiphendulele ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ngaphandle kwaNkulunkulu namazwi Akhe, cishe akukho okunye enhliziyweni yakho (umndeni, ingcebo, umyeni, unkosikazi, izingane noma ezinye izinto). Noma ngabe zikhona, azikwazi ukuhlala enhliziyweni yakho, futhi awucabangi ongakwenza amathuba ekusasa lakho kepha uphokophela ekuthandeni uNkulunkulu kuphela. Ngaleso sikhathi uzobe usuyiphendulele ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ake kuthiwe usenza izinhlelo zakho enhliziyweni yakho futhi uyohlezi uphokophele inzuzo yesiqu sakho, uhlale ucabanga uthi: “Ngingasenza nini isicelo esincane kuNkulunkulu? Uzoceba nini umndeni wami? Ngingazithola kanjani izingubo ezinhle? …” Uma uphila kuleso simo kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikaphendukeli kuNkulunkulu ngokuphelele. Uma unamazwi kaNkulunkulu kuphela enhliziyweni yakho futhi ukwazi ukuthandaza kuNkulunkulu futhi usondelane Naye nkathi zonke, kube engathi Useduze kakhulu nawe, kube engathi uNkulunkulu ungaphakathi kuwe futhi nawe ungaphakathi Kuye, uma ukwisimo esifana naleso, kuchaza ukuthi inhliziyo yakho ikeyaba ngaphambi kukaNkulunkulu. Uma uthandaza kuNkulunkulu futhi udla uphuza amazwi Akhe nsuku zonke, uhlezi ucabanga ngomsebenzi webandla, uma ukhombisa ukucabangela intando kaNkulunkulu, usebenzisa inhliziyo yakho ukuthanda Yena ngokweqiniso futhi wanelisa inhliziyo Yakhe, inhliziyo yakho izoba ngekaNkulunkulu. Uma inhliziyo yakho isagcwele ezinto ezinye, okusho ukuthi isagcwele uSathane futhi ayikaguqukeli kuNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu isiguqukele kuNkulunkulu ngokweqiniso, bazoba nothando Lwakhe oluyiqiniso, oluzenzekelayo futhi uzokwazi ukucabangela umsebenzi kaNkulunkulu. Noma ngabe bangaba esimweni sobuwula nokungabi namqondo, bazokwazi ukucabangela okufanele kwendlu kaNkulunkulu, umsebenzi Wakhe, kanye nokushintsha kwesimo sabo. Inhliziyo yabo iyobe iqinisekile. Abanye abantu bahlezi bephakamisa uphawu lwebandla noma ngabe benzani; eqinisweni lokhu kungokuba kuzuze bona. Lolu hlobo lomuntu alunayo inhloso elungile. Akalunganga futhi uyakhohlisa nezinto eziningi azenzayo uzenza ngokufuna ukuthi kuzuze yena. Lolu hlobo lomuntu aluphokophele ukuthanda uNkulunkulu; inhliziyo yakhe kusengeka Sathane futhi ayikwazi ukuguqukela kuNkulunkulu. uNkulunkulu akanayo indlela yokuzuza lolu hlobo lomuntu.

Isinyathelo sokuqala sokuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso nokuzuzwa Nguye ukuguqulela inhliziyo yakho kuNkulunkulu ngokuphelele. Kukho konke okwenzayo, zifune futhi uzibuze: “Ngabe ngenza lokhu ngenhliziyo enothando lukaNkulunkulu? Ngabe ikhona inhloso yami kulokhu? Yini inhloso yami ngokwenza lokhu?” Uma ufuna ukunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu kufuneka uqale ngokunqoba inhliziyo yakho, udele zonke izinhloso zakho, futhi ufinyelele esigabeni sokuba ngokaNkulunkulu ngokuphelele. Lena indlela yokuzama ukunikela inhliziyo yakho uNkulunkulu. Kusho ukuthini ukunqoba inhliziyo yomuntu uqobo? Kungukudedela ubukhazikhazi bezifiso zenyama, akusiko ukuhahela izibusiso zesikhundla noma ukuhahela induduzo, ukwenza konke ukwanelisa uNkulunkulu, nokwenza inhliziyo yomuntu ibe ngeYakhe ngokugcwele, hhayi ngenxa yomuntu. Lokhu kwenele.

Uthando lweqiniso lukaNkulunkulu luvela ekujuleni ngaphakathi kwenhliziyo; kunguthando olukhona ngenxa yesisekelo solwazi lwabantu ngoNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu iguqukela kuNkulunkulu ngokuphelele baba nothando lukaNkulunkulu, kodwa lolo thando alikho msulwa kahle futhi aluphelele kahle. Lokhu kungenxa yebanga elithile phakathi kwenhliziyo yomuntu ukuba iguqukele kuNkulunkulu ngokuphelele nomuntu onokuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu kanye nokumthandisisa Yena. Indlela yokuthi umuntu ukuzuza uthando lweqiniso likaNkulunkulu nokwazi isomo sikaNkulunkulu ukuguqulela inhliziyo yabo kuNkulunkulu. Emva kokunika uNkulunkulu inhliziyo yabo yeqiniso, bazoqala ukungena ekuphileni, futhi ngale ndlela isimo sabo sizoqala ukushintsha, uthando abanalo likaNkulunkulu lizokhula kancane kancane, kanye nolwazi ngoNkulunkulu nalo luzokhula kancane kancane. Ngakho ukuguqulele inhliziyo kuNkulunkulu komuntu kunemibandela ukuze ubuyele endleleni elungile yokuphila. Uma abantu bebeka izinhliziyo zabo phambili kwaNkulunkulu, banenhliziyo elangazelela Yena kuphela kodwa hhayi uthando Lwakhe, ngoba abanako ukuqonda Ngaye. Nangaphansi kwalesi simo banalo uthando Lwakhe, akusilo oluzenzakalelayo futhi akulona lweqiniso. Lokhu kungenxa yokuthi noma yini evela enyameni yomuntu ingokwemizwa futhi ayiveli ekuqondisiseni kweqiniso. Kungukufisa kwesikhashana futhi akusiko ukuthandisisa okuhlala isikhathi eside. Uma abantu benganakho ukuqonda uNkulunkulu bangamuthanda Yena kuphela ngokuthanda kwabo nangokucabanga kwabo ngamunye; lolo hlobo lothando alukwazi ukubizwa ngothando oluzenzekelayo, noma libizwe ngothando lweqiniso. Uma inhliziyo yomuntu iguqukela kuNkulunkulu ngokweqiniso, bayakwazi ukucabanga ngalokho konke okufunwa uNkulunkulu, kodwa uma bengenakho ukuqonda uNkulunkulu abakwazi ukuba nothando oluzenzekelayo. Konke abakwazi ukukwenza ukugcwalisa ingxenye yomsebenzi webandla futhi benze okuncane komsebenzi wabo, kodwa akunasisekelo. Lolu hlobo lomuntu lunesimo esinzima ukuba sishintshe; bonke bangabantu abangaphokophele iqiniso, noma abangaliqondi. Noma ngabe umuntu uguqulela inhliziyo yakhe kuNkulunkulu ngokuphelele lokho akuchazi ukuthi inhliziyo yabo yothando ngoNkulunkulu imsulwa kahle, ngoba labo abanoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo akuchazi ukuthi banothando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Lokhu kuthinta umehluko phakathi komuntu okwaziyo nophokophele ekuqondisiseni uNkulunkulu. Uma umuntu eseqondisisa Yena, kuyavela ukuthi inhliziyo yabo isiguqukele kuNkulunkulu ngokugcwele, kukhombisa uthando labo lweqiniso lukaNkulunkulu enhliziyweni yabo luyazenzakalela. Yilolu hlobo lomuntu kuphela olunoNkulunkulu enhliyzweni yakhe. Ukuguqulela inhliziyo komuntu kuNkulunkulu kungumbandela wakuqala wokuthi babuyele endleleni elungileyo, ukuze baqondisise uNkulunkulu, nokuzuza uthando lukaNkulunkulu. Akusilo uphawu lokuqeda umsebenzi wabo wokuthanda uNkulunkulu, noma uphawu ukuba nothando lweqiniso Lakhe. Indlela yokuthi umuntu azuze uthando lweqiniso lukaNkulunkulu ukuba aguqukele inhliziyo yakhe kuYena, okuyinto yokuqala izidalwa Zakhe ekufanele ziyenze. Labo abathanda uNkulunkulu bangabantu abafuna impilo, lokho okusho ukuthi, abantu abafuna iqiniso nabantu abafuna uNkulunkulu ngokweqiniso; bonke banako ukukhanyiselwa koMoya oNgcwele futhi banyakaziswa uYena. Bonke bayakwazi ukuqondiswa nguNkulunkulu.

Uma abantu bekwazi ukuzwa ukuthi bakweleta uNkulunkulu kungoba sebenyakazisiwe uMoya; uma bezwa lokho bazoba nenhliziyo elangazelelayo futhi bakwazi baphokophelele ekungeneni ekuphileni. Kodwa uma uma esinyathelweni esithile, ngeke ukwazi ukujula; kunobungozi bokubambeka enethini kaSathane, futhi uma sekufinyelele esigabeni esithile uzothunjwa nguSathane. Ukukhanyisa kwaNkulunkulu kuvumela abantu ukuthi bazazi, futhi bese bezizwa bemukweleta uNkulunkulu kanye nokuzimisela ukubambisana Naye nokubeka eceleni izinto ezingamjabulisi Yena. Lona umthetho womsebenzi kaNkulunkulu. Nizimisele ngokuphokophela ekukhuleni ezimpilweni zenu nokuthanda uNkulunkulu, ngakho senizilahlile izindlela zenu zamanga? Uma ungase uzilahle lezo zindlela futhi ungenzi iziphazamiso noma uzibukise, ngabe kungukuphokophela ukukhula empilweni? Uma ungenakho ukuziphatha okulula kodwa ungangeni emazwini kaNkulunkulu, kuchaza ukuthu ungumuntu ongakukhuthalele ukuya phambili. Yini impande yokuthatha ukuziphatha ngamanga? Ngabe izenzo zakho zingenxa yokukhula empilweni yakho? Ngabe uyafuna ukuzuza ukuthi ube ngomunye wabantu baNkulunkulu? Noma lokhu ogxile kukona ilokhu okuphilayo; uma ugxile ezindleleni zamanga inhliziyo yakho igxila ngaphandle, futhi ngeke ibe khona indlela yokufuna ukukhula empilweni yakho. UNkulunkulu udinga ukushintsha esimweni, kodwa wena uhlezi ufuna izinto ezingaphandle; lolu hlobo lomuntu ngeke lube nedlela yokushintsha isimo sakhe! Wonke umuntu unendlela yakhe ethile ngaphambili kokuba akhule empilweni yakhe, okuba ukuthi kufanele samukele isahlulelo, ukusolwa nokwenzisisa amazwi kaNkulunkulu. Uma ungenawo amazwi kaNkulunkulu kodwa uncike ekuzethembeni kwakho kanye nentando yakho, yonke into oyenzayo isekelwe intshiseko. Lokho okusho ukuthi, uma ufuna ukukhula empilweni yakho kufanele udle futhi uphuze futhi uqondisise amazwi kaNkulunkulu kangcono. Bonke labo abapheleliswa amazwi Akhe bayakwazi ukuwaphila; labo abangalungiswa amazwi Akhe, abangahlulelwa amazwi Akhe abakulungele ukusetshenjiswa uYena. Ngakho niwaphila kangakanani amazwi Akhe? Uma nje kuphela nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu nikwazi ukuwaqathanisa nezimo zenu zempilo, futhi nithole nendlela yokwenza ngalezi zinkinga engizethulayo lapho ukwenza kwenu kuzolunga. Futhi kuzoba ngukufuna ukuzuza inhliziyo kaNkulunkulu. Yilowo kuphela onalolu hlobo lokwenza onentando yokuthanda uNkulunkulu.

Okwedlule: Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

Okulandelayo: Mayelana Nenqubo Yokuthandaza

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp