Isahluko 14

Isikhathi sihambe ngempela manje. UMoya oNgcwele usebenzisa izindlela eziningi ezihlukahlukene ukuze uniholele emazwini kaNkulunkulu futhi nihlonyiswe ngalo lonke iqiniso, ningcweliswe, nibe nokusondelana nobudlelwane obuseduze ngempela Nami; aninikezwanga mvume yokuba nikhethe. Umsebenzi woMoya oNgcwele awunamuzwa futhi awunandaba ukuthi uhlobo luni lomuntu. Uma nje nifisa ukufuna nokulandela—ninganikezi zaba, hhayi ukuphikisana ngezinzuzo zenu nokulahlekelwa kodwa nifuna ngokulambela nokomela ukulunga, ngakho ngizonikhanyisela. Kungakhathaliseki ukuthi niyiziphukuphuku kangakanani nokuthi aninaki kangakanani, angiziboni izinto ezinjalo. Ngibheka ukuze ngibone ukuthi nisebenza kanzima kanjani ngendlela enhle. Uma nisabambelele emicabangweni “yenu” yokuziphilela emhlabeni wenu omncane, ngicabanga ukuthi nisengozini…. Kuyini ukuhlwithwa? Kusho ukuthini ukushiywa? Kumele uphile kanjani phambi kukaNkulunkulu namuhla? Ningahlanganyela kanjani ngokugcwele Nami? Susani imicabango yenu, nizihlukanise, susani izifihlabuso zenu, nizibone kahle ukuthi ninjani, zizondeni, yibani nenhliziyo efuna ukulambela nokomela ukulunga, kukholelweni ukuthi anilutho, kulangazeleleni ukuzikhulula, kwazini ukuyeka zonke izindlela zenu zokwenza izinto, thulani phambi Kwami, nikelani imithandazo eyengeziwe, ncikani Kimi ngobuqotho, bhekani Kimi, futhi ningayeki ukusondela Kimi nokukhonza kanye Nami—lokhu kubalulekile. Abantu ngokuvamile bayazenzela futhi abekho phambi kukaNkulunkulu.

Umsebenzi wamanje woMoya oNgcwele ngempela kunzima kubantu ukuthi bangawucabanga futhi konke kungena kokungokoqobo; ngeke kukwenzele lutho ngempela ukungacabangi. Uma izingqondo nezinhliziyo zenu zingalungile, ngeke nikwazi ukuphuma. Kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni kumele niqaphe ngazo zonke izikhathi futhi niqiniseke ukuthi niyamelana nokunganaki. Babusisiwe labo abahlala beqaphile futhi belindile nalabo abathule phambi Kwami! Babusisiwe labo abahlale bebheke Kimi ngezinhliziyo zabo, abaqikelelayo ukuthi balilalela kahle izwi Lami, abaqaphela izenzo Zami, nabasebenzisa izwi Lami! Isikhathi ngeke sephuze siyaqhubeka. Zonke izinhlupho ngeke zivinjwe, zivula ukusabisa kwazo, imilomo enegazi ukuze inishwabadele nonke njengesikhukhula. Madodana Ami! Isikhathi sifikile! Asisekho isikhathi sokucabangisisa. Okuwukuphela kwendlela ezoniletha ngaphansi kwesivikelo Sami ukuba nibuyele phambi Kwami. Kumele nibe namandla afana nawomntwana womfana, ningapheli amandla noma niphelelwe yithemba; landelani izinyathelo Zami, ningakwenqabi ukukhanya okusha futhi, ekunitsheleni ukuthi kumele nidle kanjani, kumele nilalele futhi nidle ngendlela efanele. Ingabe sisekhona isikhathi sokulwa noma ukwaneliswa ukuzahlukanisa komunye nomunye? Ingabe ningalwa uma ningeke nidle ukudla kwenu futhi ningahlonyiswanga ngokugcwele ngeqiniso? Uma nifuna ukunqoba inkolo, kumele nihlome ngokuphelele ngeqiniso. Nidle futhi niphuze emazwini Ami futhi nicabangisise kakhulu ngamazwi Ami. Kumele nizidlele futhi niziphuzele ngokwenu amazwi Ami futhi niqale ngokusondela eduze kukaNkulunkulu. Lokhu makube yisixwayiso kini! Kumele nikuqaphele! Labo abahle kumele bavuke ngokushesha eqinisweni. Kumele nizikhulule kuzo zonke izinto eningafuni ukuhlukana nazo. Ngiyanitshela futhi ukuthi lezi zinto ziyingozi ekuphileni kwenu futhi azizuzisi! Ngithemba ukuthi ningancika Kimi ezenzweni zenu, ngale kwalokho okuwukuphela kwendlela ephambi kwenu indlela eya ekufeni, futhi nizoyaphi ukuze nifune indlela yokuphila? Khiphani izinhliziyo zenu ezithanda ukuba matasa nezinto zangaphandle! Khiphani izinhliziyo ezingabalaleli abanye abantu! Uma ukuphila kwenu kungavuthwa futhi nilahliwe, ingabe awuziwisanga? Umsebenzi woMoya oNgwele manje awusiko lokhu okucabangayo. Uma ningakwazi ukukhulula imicabango yenu nizolahlekelwa kakhulu. Ukube umsebenzi ubuhambisana nemicabango yomuntu, ingabe imvelo yakho yakudala nemicabango kukwazile ukuza ekukhanyeni? Ingabe benizozazi? Kungenzeka ukuthi nisacabanga ukuthi aninamicabango, kodwa kulokhu bonke ububi benu obuhlukahlukene buzovela ekukhanyeni. Zibuze ngokucophelela:

Ingabe ungumuntu olalela Mina? 

Ingabe uzimisele futhi ukulungele ukuzidela bese ungilandela?

Ingabe ungumuntu ofuna ubuso Bami ngenhliziyo emsulwa?

Ingabe uyazi ukuthi kusondelwa kanjani Kimi nokukhonza Nami?

Ingabe ungathula phambi Kwami futhi ufune intando Yami?

Ingabe uyawasebenzisa amazwi engiwembula kuwe?

Ungasigcina isimo esijwayelekile phambi Kwami?

Ingabe uyakwazi ukubona amaqhinga kaSathane anonya? Uyalokotha uwadalule?

Ingabe uwucabangela kanjani umthwalo kaNkulunkulu?

Ingabe ungumuntu ocabangela umthwalo kaNkulunkulu?

Ingabe uwuthinta kanjani umsebenzi kaMoya oNgcwele?

Nikhonza kanjani ngokubambisana emndenini kaNkulunkulu?

Ningifakazela kanjani ngokunamandla?

Ukulwa kanjani ukulwa okuhle ngeqiniso?

Kumele uthathe isikhathi ukuze ucabangisise ngalamaqiniso kahle. Amaqiniso asobala ukunikeza ubufakazi bokuthi usuku lusondele kakhulu. Kumele nipheleliswe ngaphambi kwezinhlekelele—lena yindaba ebaluleke kakhulu okumele ixazululwe ngokuphuthumayo! Ngifisa sengathi beningapheleliswa, kodwa ngiyabona ukuthi ngempela anibambeki. Niqinile kodwa nokho anikusebenzisi kahle lokho futhi aniziqondanga izinto ezibaluleke kakhulu, kunalokho niqonda kuphela izinto ezincane. Kunanzuzoni ukungazinaki ngamabomu lezi zinto? Ingabe akukhona ukuchitha isikhathi lokhu? Nginibonisa ububele ngale ndlela kodwa niyehluleka ukubonisa ukwazisa futhi nenza isiphithiphithi nomsindo omningi, ingabe yonke imizamo yAmi ebuhlungu iphelele ezeni? Uma niqhubeka ngale ndlela, ngeke ngibe nesikhathi sokunincenga! Ngithi kini, ngaphandle kokuba nivuke eqinisweni, umsebenzi kaMoya oNgcwele uzophuma kini! Angeke ninikezwe lutho ukuba nidle, ukuze nikholwe njengoba nibona. Amazwi Ami akhulunywe ngokuphele, ukuthi niyalalela yini noma cha, okwenu lokho. Lapho kufika isikhathi sokuba nidideke futhi ningabi nandlela yokuya phambili futhi ningakuboni ukukhanya kweqiniso, ingabe nisayogxeka Mina? Yeka ukunganaki! Kumele ube yini umphumela uma ninamathela ngokuqinile kini ngokwenu futhi nenqaba ukuzehlisa? Ngeke yini umsebenzi eniwenzile ube yize? Yeka ukuthi yinto embi kangakanani ukuvalelwa ngaphandle lapho kwehla inhlekelele!

Manje yisikhathi esibucayi sokwakhiwa kwebandla. Uma ningakwazi ukubambisana Nami futhi nizinikele ngenhliziyo yonke, uma ningeke nishiye zonke izinto, nizolahlekelwa; ingabe nisengacabanga ngendlela ehlukile? Nginibonisile ukukhanya ngale ndlela, ngilinde nina ukuba niphenduke futhi niqale kabusha. Kodwa isikhathi asisavumi ngempela manje futhi kufanele ngicabange ngesithombe esibanzi. Ngenxa yenjongo yecebo likaNkulunkulu lokuphatha, konke kuqhubekela phambili futhi izinyathelo Zami ziqhubekela phambili usuku nosuku, ihora nehora, isikhathi nesikhathi, futhi labo abangeke baqhuke bazoshiywa. Usuku nosuku kunokukhanya okusha, usuku nosuku kunezenzo ezinhle ezenziwayo, kukhona izinto ezintsha usuku nosuku futhi labo abangakuboni ukukhanya bayizimpumputhe! Labo abangalandeli bazosuswa….

Okwedlule: Isahluko 13

Okulandelayo: Isahluko 15

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp