Isahluko 51

O! Nkulunkulu uSomandla! Amen! Kuwe konke kukhululiwe, konke kukhululekile, konke kuvulekile, konke kwambuliwe, konke kugqamile, akunakufihlakala noma ukucasha. UnguNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu. Ubuse njengeNkosi. Wambulwe ngokuvulekile—awuseyona imfihlakalo, kodwa wambulwe ngokuphelele, phakade naphakade! Ngambulwe ngempela ngokuphelele, ngifike ngokusobala, futhi ngibonakele njengeLanga lokulunga ngoba namuhla akuseyona inkathi yokubonakala kwekhwezi, akusesona isigaba sokufihlakala. Umsebenzi Wami unjengonyazi oluphazimayo; ufezwa ngokushesha okumangazayo. Namuhla umsebenzi Wami usuqhubekele kulesi sigaba futhi noma ngubani owenza kancane noma olibalayo angahlangana kuphela nokwahlulelwa okungenasihawu. Kufanele uqonde ngokucacile ikakhulu ukuthi ngiwubukhosi nokwahlulela futhi angiselona uzwelo nothando njengoba nicabanga. Uma ungakacacelwa yileli phuzu, lokho oyokwamukela-ke ukwahlulela, ngoba wena uyonambitha lokho ongakaze ukwamukele; kungenjalo uyobe ulokhu unokungabaza futhi ungalokothi uqine ekukholweni kwakho.

Lokho engikubeke kinina, ingabe niyakwazi ukukuphetha ngokuzinikela? Ngithi kudinga ukuhlakanipha ukwenza noma yini, kodwa zingaki izinto enizenzile lapho nedlule khona ekunxuseni Kwami izikhathi eziningi, futhi nakucabangela ngokwengeziwe? Noma ninokuqonda izwi elilodwa lokunxusa Kwami, futhi nicabanga ukuthi kulungile lapho nilizwa, kamuva nikushaye indiva. Lapho nikuzwa, niyazenyanya lapho nikuqondisa ezimweni zenu zoqobo—kodwa bese kamuva, nikholwa ukuthi kuwudaba olungabalulekile. Namuhla umbuzo uwukuthi impilo yakho ingaqhubeka noma cha; akulona udaba lobuso obuveza ngaphandle. Akekho kinina onesixazululo futhi anizimisele ukuba nokunquma. Anifisi ukukhokha inani, futhi anifuni ukulahla intokozo eyedlulayo yomhlaba, kodwa futhi nesaba ukulahlekelwa yizibusiso zasezulwini. Uluhlobo luni lomuntu? Uyisiphukuphuku! Akufanele nizizwe niphatheke kabi; ingabe lokhu engikushilo akulona iqiniso? Akubonisanga yini lokho obuzicabangela khona uwedwa? Awunabuntu! Awunalo ngisho izinga lomuntu ojwayelekile, futhi noma lokhu kunjengoba kunjalo, usalokhu ungaziboni uswele. Ukhululekile futhi awunankinga usuku lonke, weneliseke ngokuphelele ngawe! Awazi ukuthi ubuthakathaka bakho bukhulu kangakanani, noma lokho okuntulayo. Awuve uyisiwula!

Ngabe awuboni ukuthi umsebenzi Wami usufike kuleli qophelo? Intando Yami yonke ikinina. Niyokwazi nini ukukuqonda futhi niyokukhombisa nini ukukucabanga? Niyavilapha! Anizimisele ukukhokha inani, anizimisele ukwenza umsebenzi onzima, anizimisele ukuthatha isikhathi, futhi anizimisele ukwenza umzamo. Ake ngikutshele okuthile! Lapho nesaba ngokwengeziwe ukwehlelwa wukuhlupheka, iyoba mbalwa ngokwengeziwe imihlomulo eyoba nayo impilo yakho, ngaphezu kwalokho uyohlangana nezithiyo ezengeziwe lapho impilo yakho ikhula, futhi kuyoncipha ngokwengeziwe ukuqhubeka kwayo. Ngiyakukhumbuza futhi (ngeke ngikusho futhi)! Lowo ongathathi isibopho ngokuphila kwakhe, ngeke ngibe nendaba naye futhi ngiyomshiya. Sengiqalile ukwenza lokhu; awukakuboni lokhu ngokucacile? Lokhu akukhona ukuhwebelana noma ibhizinisi; kuyimpilo. Ingabe kuyacaca lokho?

Okwedlule: Isahluko 50

Okulandelayo: Isahluko 52

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp