Phunyuka Emandleni Obumnyama, Futhi Uzozuzwa UNkulunkulu

Ayini amandla obumnyama? Lokhu okubizwa ngamandla obumnyama kuwukuba isigqila sikaSathane, kungamandla kaSathane, futhi kungamandla aholela ekufeni. Ngemva kokuthandaza ngobuqotho kuNkulunkulu, uphendulela inhliziyo yakho kuNkulunkulu ngokugcwele, kulokhu inhliziyo yakho igqugquzelwa uMoya kaNkulunkulu, uzimisele ngokuzinikela ngokugcwele, futhi manje usuphunyukile emandleni obumnyama. Uma ngabe konke lokho umuntu akwenzayo kuyamjabulisa uNkulunkulu futhi kuhambisana nezimfuno zikaNkulunkulu, kusho ukuthi ungothile ophila emazwini kaNkulunkulu, ungumuntu ophila eqashwe futhi vikelwa uNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukwenza amazwi kaNkulunkulu, behlale bekhohlisa uNkulunkulu futhi bengamnaki, bengakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, bonke labo bantu baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Abantu abangakayitholi insindiso kaNkulunkulu bonke baphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, okusho ukuthi, bonke baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Labo abangakholelwa kuNkulunkulu baphila ngaphansi kokubusa kukaSathane. Ngisho nalabo abakholwayo ukuthi uNkulunkulu ukhona kungenzeka bangaphili ekukhanyeni kukaNkulunkulu, ngoba kungenzeka ukuthi labo abakholelwa kuNkulunkulu bangaphili emazwini kaNkulunkulu, futhi kungenzeka bangabi abantu abangalalela uNkulunkulu. Umuntu ukholelwa kuNkulunkulu kuphela, futhi ngenxa yokwehluleka komuntu ukwazi uNkulunkulu, usaphila ngemithetho emidala, uphila emazwini afile, uphila ukuphila okumnyama nokungaqinisekanga, akahlanziwe uNkulunkulu ngokuphelele, futhi uNkulunkulu akamzuzile ngokugcwele. Ngakho, nakuba kungathandabuzwa ukuthi labo abangakholelwa kuNkulunkulu baphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ngisho nalabo abakholelwa kuNkulunkulu kungenzeka basaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ngoba uMoya Oyingcwele awukasebenzi kubo. Labo abangakawutholi umusa kaNkulunkulu noma isihawu sikaNkulunkulu, abangakwazi ukubona umsebenzi owenziwe uMoya Oyingcwele, bonke baphila ngaphansi kwamandla kaSathane; labo abamukela kuphela umusa kaNkulunkulu kodwa bengamazi uNkulunkulu, basaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ezikhathini eziningi. Uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu kodwa ukuphila kwakhe okuningi ekuchitha ngaphansi kwamandla obumnyama, kusho ukuthi ukuba khona kwalo muntu akusenanjongo, ingasaphathwa eyalabo abangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.

Bonke labo abangawamukeli umsebenzi kaNkulunkulu futhi abangazifinyeleli izimfuno zikaNkulunkulu, baphila ngaphansi kwamandla obumnyama; labo abafuna iqiniso futhi abazifinyelelayo izimfuno zikaNkulunkulu bazothola izibusiso ezivela kuNkulunkulu, futhi bazophunyuka emandleni obumnyama. Abantu abangakakhululwa, kuhlale kunezinto ezithize ezibalawulayo, abakwazi ukunikela ngezinhliziyo zabo kuNkulunkulu, laba abantu ababoshwe uSathane, futhi baphila ngaphansi kwethunzi lokufa. Labo abangathembekile emisebenzini yabo, labo abangathembekile emsebenzini kaNkulunkulu, labo abangawenzi umsebenzi wabo ebandleni, baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Labo abakuphazamisa ngamabomu ukuphila kwebandla, labo abalimaza ngamabomu ubudlelwane obuphakathi kwabazalwane nodade, labo abazihlanganisela awabo amaqembu, baphila phansi ekujuleni kwamandla obumnyama, ekuboshweni uSathane. Labo abanobuhlobo obungajwayelekile noNkulunkulu, abahlale benezifiso eziyihaba, abangosomathuba, abangalokothi bafune kuguqulwe isimo sabo, abantu abanjalo baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Labo abahlale bengenandaba, abangayinaki indlela abenza ngayo iqiniso, abangafuni ukufinyelela izifiso zikaNkulunkulu, labo banelisa inyama yabo kuphela, futhi baphila ngaphansi kwamandla obumnyama, bazungezwe ukufa. Labo abaceba ukuphamba nenkohliso lapho benza umsebenzi kaNkulunkulu, besebenzelana noNkulunkulu ngokunganaki, belutha uNkulunkulu, behlale bezicabangela bona, abantu abanjalo baphila emandleni obumnyama. Bonke abangakwazi ukumthanda ngobuqotho uNkulunkulu, labo abangalifuni iqiniso, labo abangagxilile ekuguquleni isimo sabo, baphila ngaphansi kwamandla obumnyama.

Uma ufuna ukutuswa uNkulunkulu, kumele uphunyuke emandleni obumnyama kaSathane kuqala, uvulele uNkulunkulu inhliziyo yakho, iphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele. Ingabe uNkulunkulu uyazitusa izinto ozenza njengamanje? Wake wayibhekisa kuNkulunkulu inhliziyo yakho? Izinto ozenzile, ingabe ziyilokho uNkulunkulu akufune kuwe? Ingabe ziyahambisana neqiniso? Kumele uhlale uzihlola, ugxile ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu, weneke inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu, uthande uNkulunkulu ngobuqotho, futhi uzidele ngobuqotho ngenxa kaNkulunkulu. Nakanjani uNkulunkulu uyobatusa abantu abanjalo. Labo abangathembekile ekuphileni kwabo, abazenza into abangeyona lapho bephambi kwabantu, benza sengathi bathobekile, bayabekezela futhi banothando, kuyilapho isiqu sabo singajabulisi, sinobuqili futhi singekho qotho kuNkulunkulu, abantu abanjalo bayizibonelo kulabo abaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, bayinzalo yezinyoka. Labo abakholelwa kuNkulunkulu bahlale benzela izinzuzo zabo, bahlale bekholelwa kuNkulunkulu ngenxa yezinzuzo zabo, labo abazidlayo nabaqhoshayo, labo ababukisa ngabanakho, abahlale bevikela isithunzi sabo, bangabantu abathanda uSathane abamelene neqiniso, bayamphika uNkulunkulu futhi bangabakaSathane ngokuphelele. Labo abangayinaki imithwalo kaNkulunkulu, abangamkhonzi ngenhliziyo ephelele, abahlale bekhathazeke ngezinto abazithandayo nezithandwa yimindeni yabo, abangakwazi ukuhlukana nalutho ukuze banikele kuNkulunkulu, abangaphili ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu, baphila ngaphandle kwamazwi kaNkulunkulu. Abantu abanjalo uNkulunkulu ngeke abatuse.

Lapho uNkulunkulu edala abantu, wayenzela ukuthi bajabulele umcebo Wakhe futhi bamthande ngobuqotho; ngalokhu, abantu babezophila ekukhanyeni Kwakhe. Namuhla, bonke labo abangakwazi ukuthanda uNkulunkulu, abangenandaba nezinto ezikhathaza uNkulunkulu, abangakwazi ukunikela ngezinhliziyo zabo ngokugcwele kuNkulunkulu, abangakwazi ukuthatha inhliziyo kaNkulunkulu njengeyabo, abangakwazi ukuthwala imithwalo kaNkulunkulu njengeyabo, ukukhanya kukaNkulunkulu akukhanyi phezu kwabantu abanjalo, ngenxa yalokho, bonke baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Abantu abanjalo basendleleni eshayisana nentando kaNkulunkulu, konke abakwenzayo akunayo ngisho inhlansi yeqiniso, bamdibi munye noSathane, futhi abantu abanjalo baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Uma ungahlale udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu futhi unakisisa intando kaNkulunkulu, wenze amazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi ungokaNkulunkulu, ungumuntu ophila emazwini kaNkulunkulu. Ingabe uzimisele ukuphunyuka ekubusweni uSathane, uphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu? Uma uphila emazwini kaNkulunkulu, uMoya Oyingcwele uzoba nethuba lokwenza umsebenzi Wakhe; uma uphila ngaphansi kwamandla kaSathane, awukho umsebenzi uMoya Oyingcwele ozokwazi ukuwenza. Umsebenzi uMoya Oyingcwele owenza kubantu, ukukhanya akwenza kukhanye kubantu, ukuzethemba akunika abantu kuphela emva komzuzwana nje; uma abantu benganakile futhi bengalaleli, umsebenzi owenziwa uMoya Oyingcwele uzobadlula. Uma abantu bephila emazwini kaNkulunkulu, uMoya Oyingcwele uzoba nabo, wenze umsebenzi kubo; uma abantu bengaphili emazwini kaNkulunkulu, kusho ukuthi ukuphila kwabo kuboshwe uSathane. Abantu abaphila esimweni esikhohlakele abanawo uMoya Oyingcwele futhi uMoya Oyingcwele awusebenzi kubo. Uma uphila emazwini kaNkulunkulu, uma uphila esimweni esifunwa uNkulunkulu, kusho ukuthi ungokaNkulunkulu, umsebenzi kaNkulunkulu uzokwenziwa kuwe; uma ungaphili ezimfunweni zikaNkulunkulu, kodwa uphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, kusho ukuthi nakanjani uphila ngaphansi kwenkohlakalo kaSathane. Ukufinyelela izimfuno zikaNkulunkulu, ungakwenza kuphela ngokuphila emazwini kaNkulunkulu nangokunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu; kumele wenze njengoba uNkulunkulu esho, amazwi kaNkulunkulu kumele uwenze isisekelo sokuba khona kwakho futhi nokuphila kwakho kweqiniso, yilokho kuphela okuyokwenza ube ngokaNkulunkulu. Uma okwenzayo kuvumelana ngobuqotho nentando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi kuwe, futhi uzophila ngaphansi kwezibusiso zikaNkulunkulu, uzophila ekukhanyeni kobuso bukaNkulunkulu, futhi uzokwazi ukubamba umsebenzi owenziwa uMoya Oyingcwele, futhi uzoyizwa injabulo yokuba khona kukaNkulunkulu.

Ukuze uphunyuke emandleni obumnyama, kumele uqale ngokuba qotho kuNkulunkulu futhi ube nogqozi lokufuna iqiniso, uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukuba sesimweni esifanele. Ukuphila esimweni esifanele kuyisidingo ukuze uphunyuke emandleni obumnyama. Ukungabi nesimo esifanele kusho ukuthi awukho qotho kuNkulunkulu nokuthi awunalo ugqozi lokufuna iqiniso, ngenxa yalokho ayinakukhulunywa indaba yokuphunyula emandleni obumnyama. Ukuphunyuka komuntu emandleni obumnyama kusekelwe emazwini Ami, futhi uma umuntu engenzi ngokuvumelana namazwi Ami, angeke aphunyuke ekuboshweni amandla obumnyama. Ukuphila esimweni esifanele kusho ukuphila ngaphansi kwesiqondiso samazwi kaNkulunkulu, ukuphila esimweni sokuba qotho kuNkulunkulu, ukuphila esimweni sokufuna iqiniso, ukuphila ngokuzidela ngobuqotho ngenxa kaNkulunkulu, ukuphila esimweni sokumthanda ngokusuka enhliziyweni uNkulunkulu. Labo abaphila ngaphansi kwalezi zimo nakuleli qiniso bayoguquka kancane kancane, njengoba bengena bejula eqinisweni, futhi bayoguqulwa ukujula komsebenzi kaNkulunkulu, kuze kufike lapho bezuzwa khona uNkulunkulu, bamthande ngobuqotho uNkulunkulu. Labo abaphunyukile emandleni obumnyama bayokwazi ukuyibamba kancane kancane intando kaNkulunkulu, bayiqonde kancane kancane inhliziyo kaNkulunkulu, bagcine sebesondelene noNkulunkulu; ngeke bagcine nje ngokungabi nokuqonda ngoNkulunkulu, ngokungahlubuki kuNkulunkulu, bayoyizonda nakakhulu imicabango nokuhlubuka ababenakho phambilini, bamthande ngobuqotho uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Labo abangakwazi ukuphunyuka emandleni obumnyama bacabanga okusenyameni, bagcwele ukuhlubuka; izinhliziyo zabo zigcwele imicabango yomuntu nefilosofi lokuphila, kanye nezinhloso zabo nemicabango yabo. UNkulunkulu ufuna uthando oluphelele kumuntu, uNkulunkulu ufuna umuntu agcwale amazwi Akhe futhi amthande. Lezi yizinto umuntu okumele azifinyelele ukuze aphile emazwini kaNkulunkulu, athole lokho umuntu akufunayo emazwini kaNkulunkulu, athande uNkulunkulu ngenxa yamazwi Akhe, azulazule ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi aphile ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Yonke into kumele yakhelwe emazwini kaNkulunkulu, futhi umuntu uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukufinyelela izimfuno zikaNkulunkulu. Uma umuntu engahlonyisiwe ngamazwi kaNkulunkulu, usuke efana nesibungu sikaSathane. Kala enhliziyweni yakho, ukuthi angakanani amazwi kaNkulunkulu asenezimpande ngaphakathi kuwe? Yiziphi izinto ophila ngazo ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Yiziphi izinto obungaphili kuzo ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Uma amazwi kaNkulunkulu engakakubambi ngokugcwele, yini-ke ngempela esenhliziyweni yakho? Ekuphileni kwakho kwamihla yonke, ingabe ulawulwa uSathane, noma uphethwe ngamazwi kaNkulunkulu? Ingabe imithandazo yakho isuka emazwini kaNkulunkulu? Ingabe ukukhanyiselwa amazwi kaNkulunkulu kukukhiphile esimweni esingesihle? Nakhu okufanele kwenziwe yiwo wonke umuntu ukuze enze amazwi kaNkulunkulu abe isisekelo sokuba khona kwakhe. Uma amazwi kaNkulunkulu engekho ekuphileni kwakho, kusho ukuthi uphila ngaphansi kwamandla obumnyama, uyisihlubuki kuNkulunkulu, uphikisana noNkulunkulu, awulihloniphi igama likaNkulunkulu, futhi inkolelo enjalo yomuntu kuNkulunkulu imane nje ibanga ukona, iyisiphazamiso. Ingakanani ingxenye yokuphila kwakho oyiphila ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Ingakanani ongayiphili ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Kulokhu amazwi kaNkulunkulu akufuna kuwe, kungakanani okufeziwe kuwe? Kungakanani okulahlekile kuwe? Ingabe wake wazihlolisisa izinto ezinjalo?

Ukuze uphunyuke emandleni obumnyama, kubuye kudingeke umsebenzi owenziwe uMoya Oyingcwele, kuyilapho ngakolunye uhlangothi kudingeka umuntu abambisane nakho ngokugcwele. Kungani ngithi umuntu akekho endleleni ofanele? Uma umuntu esendleleni efanele, kufanele akwazi ukunikela ngenhliziyo yakhe kuNkulunkulu, futhi lona umsebenzi odinga isikhathi eside, ngoba isintu besilokhu siphila ngaphansi kwamandla obumnyama, siboshwe uSathane izinkulungwane zeminyaka, ngakho lokhu kungena akuyona into engenzeka ng ngosuku noma ezimbili. Namuhla ngikhulume ngale ndaba ngoba ngifuna abantu basazi isimo sabo; mayelana nalokhu amandla obumnyama ayikho nalokho ukuphila ekukhanyeni okuyikho, ukungena kungenzeka kuphela lapho umuntu ekwazi ukuqonda lezi zinto. Ngoba kumele wazi lokho amandla kaSathane ayikho ngaphambi kokuba uphunyuke emandleni kaSathane, futhi uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukuhamba endleleni ngenxa yokungena kancane kancane kuyo. Ukuthi yini ozoyenza emva kwalokho, indaba yomuntu leyo. Kumele ungene kokuhle, ungalokothi ulinde usonge izandla, futhi yile ndlela uNkulunkulu ayokuzuza ngayo.

Okwedlule: Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

Okulandelayo: Okholweni, Umuntu Kumele Agxile Eqinisweni—Ukwenza Isiko Lenkolo Akulona Ukholo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp