Isahluko 83

Anazi ukuthi nginguNkulunkulu onamandla onke; anazi ukuthi zonke izindaba nezinto zilawulwa Yimi! Kusho ukuthini ukuthi konke kudalwe futhi kwaphethwa Yimi? Izibusiso noma amashwa awo wonke umuntu konke kuncike ekugcwaliseni Yimi, ezenzweni Zami. Yini engenziwa ngumuntu? Yini umuntu angayifeza ngokucabanga? Kule nkathi yokugcina, kule nkathi eyonakele, kulo mhlaba omnyama uSathane awukhohlakalise kangaka, yibaphi abambalwa abangahambisana nentando Yami? Noma ngabe kunamuhla, izolo, noma esikhathini esizayo esingekude kuyaphi, izimpilo zawo wonke umuntu zinqunywa Yimi. Ukuthi bamukela izibusiso noma behlelwa amashwa, nokuthi bayathandwa noma bayazondwa Yimi kwanqunywa ngokunembileyo Yimi ngomnyakazo owodwa. Ngubani phakathi kwenu olokotha aqinise ukuthi izinyathelo zakhe zinqunywe nguye, nokuthi isimiselo sakhe silawulwa nguye, ngubani olokotha enze lokho? Ngubani olokotha adelele kangaka? Ngubani ongangesabi? Ngubani phansi ekujuleni ongangilaleli? Ngubani olokotha enze njengoba ethanda? Ngiyobasola khona lapho, ngokuqinisekile ngingasenasihawu noma ngisindisa isintu. Lesi sikhathi, okungukuthi, lapho senamukele igama Lami, yisikhathi sokugcina ngikhombisa uzwelo esintwini. Lokho kusho ukuthi, ngikhethe ingxenye yesintu, okuthe, nakuba izibusiso zabo zingahlali kuze kube phakade, bathokozela inani elikhulu lomusa Wami; ngakho, noma kungamisiwe ngaphambili ukuthi ubusiswe kuze kube phakade, angikuphathi ngokungafanele, futhi ungcono kakhulu kunalabo abayokwehlelwa yishwa ngokuqondile.

Ngempela, ukwahlulela Kwami sekufinyelele eqophelweni eliphezulu, kwangena endaweni okungakaze kufike kuyo. Ukwahlulela Kwami kukuye wonke umuntu, manje kuwukwahlulela okunolaka. Esikhathini esedlule bekuwukwahlulela okunobukhosi, okwehluke kakhulu kokwamanje. Esikhathini esedlule isintu sasingezwa novadlwana kuze kube lapho sihlangana khona nokwenzeka kokwahlulela, manje uma bezwa izwi elilodwa nje bethuka kakhulu; umuntu omunye uze esabe nokuvula umlomo Wakhe. Uma iphimbo Lami liphuma nje, lapho ngiqala ukukhuluma, wethuka ngendlela yokuthi akazi ukuthi enzeni, elangazelela ngokuzimisela ngaleso sikhathi ukuzifihla emgodini osenhlabathini, ezifihla egunjini elimnyama kakhulu. Lolu hlobo lomuntu alukwazi ukusindiswa ngoba lungenwe yimimoya emibi. Lapho ngahlulela udrako omkhulu obomvu, inyoka endala, uyoba novalo, aze esabe ukubonwa abantu; ngempela uyinzalo kaSathane ezalelwe ebumnyameni.

Esikhathini esedlule bengivame ukusebenzisa amazwi athi “ukumisa ngaphambili nokukhetha,” kusho ukuthini nje lokho? Ngimisa ngaphambili futhi ngikhethe kanjani? Kungani umuntu angabi ngomunye wabamiswe ngaphambili nabakhethiwe? Kuqondwa kanjani lokhu? Konke lokhu kudinga ukuchaza okucacile okusuka Kimi futhi konke kufuna ukuthi ngikhulume ngokuqondile. Uma bengembula lezi zinto kini, khona-ke labo ababuthuntu bebeyokholwa ngokungelona iqiniso ukuthi bekungumcabango onikezwe nguSathane! Ngingangcoliswa ngokungafanele! Manje ngizokhuluma ngokuqondile, ngingagodli lutho: Lapho ngidala zonke izinto, ngaqala ngadala lezo zinto zokusebenzela isintu (izimbali, utshani, izihlahla, ukhuni, izintaba, imifula, amachibi, izwe nolwandle, lonke uhlobo lwezinambuzane, izinyoni, izilwane, okunye kwakho ngokokudliwa ngabantu, okunye ngokokubukwa ngabantu). Izinhlobo ezehlukene zezinhlamvu zadalelwa isintu ngokomehluko ophakathi kwezindawo ezehlukene; kwaba ngemva kokudala konke lokhu lapho ngadala khona isintu. Kukhona futhi izinhlobo ezimbili zabantu: Uhlobo lokuqala yilabo engibakhethile futhi ngabamisa ngaphambili; uhlobo lwesibili lunezici zikaSathane, futhi lolu hlobo lwadalwa ngaphambi kokuba ngidale umhlaba, kodwa lukhohlakaliswe ngokuphelele nguSathane ngakho ngibalahlile. Ngase ngidala uhlobo olukhethwe futhi lwamiswa ngaphambili Yimina, lowo nalowo kulaba unezimfanelo Zami ngamazinga ehlukene; ngakho, labo abakhethwe Yimi namuhla ngamunye unezimfanelo Zami ngamazinga ehlukene. Nakuba bekhohlakaliswe nguSathane, basengabami; isinyathelo ngasinye siyingxenye yohlelo Lwami lokuphatha. Ukuthi abaqotho babusa embusweni konke kwahlelwa Yimi ngaphambi kwesikhathi; labo abanobuqili futhi abanenkohliso abakwazi ukuba qotho noma kungenzekani ngoba bayinzalo kaSathane, baphethwe nguSathane, bahlala beyizisebenzi zikaSathane ngaphansi kokuyalelwa nguye, kodwa konke kungenxa yokugcwalisa intando Yami. Ngikucacisile ukuze ngivimbe ukuqagela kwenu. Labo engibaphelelisayo, ngiyobanakekela futhi ngibavikele; mayelana nalabo engibenyanyayo, emva kokuphela komsebenzi wabo bayophuma endaweni Yami. Lapho kukhulunywa ngalaba bantu ngiyathukuthela, ekukhulunyweni ngabo ngivele ngifise ukubabamba ngaso leso sikhathi, kodwa ngiyazibamba ezenzweni Zami; ngiyazithiba ezenzweni nasenkulumweni Yami. Ngingacindezela umhlaba ngesifuthefuthe sentukuthelo, kodwa ngaphandle kwalabo engibamise ngaphambili; emva kokuzotha ngiphatha umhlaba entendeni yesandla Sami, okusho ukuthi ngilawula konke. Lapho ngibona ukuthi umhlaba ukhohlakaliswe kwaze kwafika ezingeni lokuthi abantu bangakwazi ukuwubekezelela, ngiyowubhubhisa ngokushesha. Ngabe ngeke kuthathe izwi elilodwa nje Lami?

NginguNkulunkulu ongokoqobo Ngokwakhe; angenzi izimpawu nezimanga ezingaphezu kwemvelo, kodwa yonke indawo igcwele imisebenzi Yami emangalisayo. Indlela ephambili iyokhanya ngokwengeziwe okungeqhathiswe. Isambulo Sami sesinyathelo ngasinye siyindlela enginikhombisa yona, uhlelo Lwami lokuphatha. Lokho kusho ukuthi, kamuva izambulo ziyoba ziningi ngokwengeziwe futhi ziye ngokuya zicaca. Ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane—esikhathini esizayo esingekude—kufanele niqhubeke ngokwezambulo Zami nokulandela izinyathelo Zami. Konke sekuthathe isimo, konke sekulungiselelwe, ababusisiwe banezibusiso zangaphandle ezinilindele; abahlushiwe banokusolwa kwaphakade okubalindele. Izimfihlakalo Zami ziningi ngokwedlulele kini, lokho Kimi okungamazwi alula kakhulu kinina kungaba lukhuni kakhulu; ngakho, ngisho okuningi ngokwengeziwe, ngoba niqonda okuncane ngokwedlulele, futhi nidinga ukuba ngichaze izwi ngezwi, kodwa ningakhathazeki ngokwedlulele, ngiyokhuluma nani ngokuhambisana nomsebenzi Wami.

Okwedlule: Isahluko 82

Okulandelayo: Isahluko 84

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp