Isahluko 86

Abantu bathi nginguNkulunkulu onesihawu futhi bathi ngiyonikeza insindiso kubo bonke engibadalile—lezi zinto zonke zishiwo ngokusekelwe phezu kwemibono yesintu. Ukubhekisa Kimi njengoNkulunkulu onesihawu kuqondiswe kumadodana Ami angamazibulo nokuletha Kwami insindiso kuqondiswe kumadodana Ami nakubantu Bami. Ngoba nginguNkulunkulu ohlakaniphile, kucacile emqondweni Wami ukuthi ngobani labo engibathandayo nokuthi ngobani labo engibazondayo. Kulabo engibathandayo, ngiyohlala ngibathanda kuze kube sekugcineni futhi lolo thando ngeke luguquke. Kulabo engibazondayo, inhliziyo Yami ayithinteki nakancane noma bangalunga kangakanani. Lokhu kungenxa yokuthi abazalwa Yimi futhi abanazo izimfaneleko Zami futhi abanakho ukuphila Kwami. Lokhu kusho ukuthi, abanqunyelwanga ngaphambili futhi kabakhethwanga Yimi, ngoba anginaphutha. Lokhu kusho ukuthi konke engikwenzayo kubizwa ngokungcwele nokuhloniphekile futhi angibi nokuzisola. Emehlweni abantu, nginenhliziyo embi ngokwedlulele; kodwa ngabe awazi ukuthi nginguNkulunkulu olungile futhi onobukhosi uqobo Lwakhe? Konke Okwami kulungile; labo engibazondayo nakanjani bayothola iziqalekiso Zami futhi labo engibathandayo nakanjani bayothola izibusiso Zami. Lokhu kuyisimo Sami esingcwele futhi esingonakaliseki futhi akukho muntu ongasiguqula; lokhu akunakuphikiswa!

Namuhla, labo abahambisana ngempela nezinhloso Zami nakanjani bayopheleliswa Yimi, ngoba umsebenzi Wami uqondile futhi uphelele futhi uyenzisisa; labo engibaqalekisayo bayoshiswa. Pho kungani iningi labantu liqalekiswe Yimi kodwa futhi uMoya oNgcwele esenza umsebenzi Wakhe kubona (lokhu kushiwo mayelana nokungahlali Kwami ethempelini elingcolile)? Niyawuqonda umqondo wazo zonke izindaba nazo zonke izinto ezenzela uKristu umsebenzi? UMoya oNgcwele wenza umsebenzi Wakhe ngazo lapho ngisebenzisa umsebenzi wazo, kodwa ngokujwayelekile lapho zingekho emsebenzini Wami ngokuyisisekelo azikhanyiselwa emoyeni wazo. Ngisho zingifuna, kungenxa yentshisekelo, futhi lokhu kuyicebo likaSathane, ngoba ezikhathini ezejwayelekile, aziwunaki nhlobo umsebenzi Wami futhi aziyicabangeli ngokuphelele imithwalo Yami. Manje amadodana Ami angamazibulo akhulile, ngakho ngiyazixosha futhi ngakho uMoya Wami usukile kuyo yonke indawo, futhi ukugxila ngokukhethekile kuphezu kwamadodana Ami angamazibulo, niyaqonda? Zonke izinto zincike ezenzweni Zami, zincike ekunqumeleni ngaphambili Kwami, futhi zincike kuwo wonke amazwi omlomo Wami. Zonke izindawo ezamukele izibusiso Zami kufanele kube yizindawo engisebenza kuzo, futhi yizindawo lapho umsebenzi Wami wenziwa khona. IChina iyisizwe lapho uSathane ekhonzwa khona kakhulu ngakho futhi iqalekisiwe Yimi, futhi iyisizwe esenze konke ukungishushisa. Ngeke nhlobo ngenze umsebenzi Wami kubantu abangaphansi kwethonya likadrako omkhulu obomvu. Niyawuqonda umqondo wangempela wezwi Lami? Empeleni, izibalo zamadodana nabantu Bami zincane kakhulu. Ngokungephikiswe konke kungaphakathi kwezandla Zami; amandla kufanele agxiliswe futhi amandla engeziwe kufanele asetshenziswe kulabo engibakhethile nengibanqumele ngaphambili. Ngamanye amazwi, labo abangamadodana Ami angamazibulo kufanele basebenze masinyane ukuze bathwale imithwalo esemahlombe Ami ngokushesha okungenzeka futhi bafake wonke amandla emsebenzini Wami.

Nina eningenzela umsebenzi, lalelani! Ningamukela okuthile komusa Wami lapho ningisebenzela. Okungukuthi, niyokwazi okwesikhathi esithile ngomsebenzi Wami wakamuva kanye nezinto ezizokwenzeka esikhathini esizayo, kodwa ngeke nikuthokozele nhlobo lokho. Yilona umusa Wami. Lapho umsebenzi wenu usuphelile, hambani ngokushesha futhi ningalibali. Labo abangamadodana Ami angamazibulo akufanele bazithwale, kodwa ningaziqhenya, ngoba ngibeke izibusiso ezingapheli phezu kwenu. Labo ababhekwe ukubhujiswa akufanele bazilethele inkinga noma nizwe izinsizi ngenxa yesiphetho senu; ngubani owakwenza inzalo kaSathane? Emva kokuba usungenzele umsebenzi, ungaphindela futhi emgodini ongenamkhawulo ngoba awusenamsebenzi Kimi futhi ngizoqala ukubhekana nawe ngokusola Kwami. Lapho ngiqala ukusebenza, ngeke ngime kuze kube sekugcineni; Angiwumisi nhlobo umsebenzi Wami; engikwenzayo kuzofezwa futhi engikufezayo kuyohlala kuze kube phakade. Lokhu kwenzeka kumadodana Ami angamazibulo, amadodana Ami, abantu Bami, futhi lokhu kumayelana nawe futhi—ukukusola Kwami kuhleli phakade. Nginitshelile izikhathi eziningi ngaphambili: Ababi abamelana Nami nakanjani bayosolwa Yimi. Lapho umelana Nami ngaphandle kokukhuzwa nguMoya oNgcwele, usuqalekisiwe futhi emva kwalokho uyoshaywa uwiswe yisandla Sami. Uma wamukela ukuqondisa nguMoya oNgcwele lapho unemicabango emibi Ngami, khona-ke wamukele isibusiso Sami. Nokho, kufanele uhlale uqaphele, ungabi nokunganaki, futhi ungabi neze nokungacopheleli.

Okwedlule: Isahluko 85

Okulandelayo: Isahluko 87

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp