XII. Amazwi NgoMthethosisekelo, Izinqumo Zokuphatha Nemiyalelo YeNkathi Yombuso

595. Umsebenzi engiwuhlelile uyaqhubeka uya phambili ngaphandle kokuma ngisho nomzuzu. Njengoba sesisukile eNkathini yoMbuso, nganiphatha ngeza nani eMbusweni Wami njengabantu Bami, kukhona engizokufuna kini, lokhu kusho ukuthi, ngizoqala ngimise phambi kwenu umthethosisekelo ozobusa kulesi sikhathi:

Njengoba nibizwa ngabantu Bami, kumele nidumise igama Lami, lokhu kungukuthi, nime nobufakazi phakathi kokulingwa. Uma kukhona ozama ukungikhohlisa angifihlele iqiniso, noma enze izinto ezihlazayo ngingaboni, uzoxoshwa futhi akhishwe endlini Yami ukuze alindele ukuba ngibhekane naye. Labo abebengathembekile futhi bengangithandi esikhathini esedlule, bese namuhla baphakame bangahlulele obala, nabo bazoxoshwa endlini Yami. Labo abangabantu Bami kumele bahlale benakekela imithwalo Yami bafune nokwazi amazwi Ami. Abantu abafana nalaba kuphela engizobakhanyisela, bazohlala ngaphansi kokuholwa Yimi nokukhanya Kwami, angeke bajeziswe. Labo abahlulekayo ukunakekela imithwalo Yami, abalibele ukuhlela ikusasa labo, okusho ukuthi labo, abangenanhloso ekwenzeni kwabo ukwanelisa inhliziyo Yami kodwa ukuntshontsha engibanika kona, lezi zidalwa ezifana nezinxibi angifuni nhlobo ukubasebenzisa, ngoba kusukela ngesikhathi bezalwa abazi lutho ukuthi kusho ukuthini ukunakekela imithwalo Yami. Bangabantu abantula umqondo ovamile; abantu abanjalo baphethwe “ukungondleki” kwengqondo, badinga ukuthi baye ekhaya bayothola “ukondliwa.” Anginamsebenzi nabantu abafana nalaba. Kubantu Bami, wonke umuntu kuzomele athathe ukwazi Mina njengomsebenzi oyimpoqo okumele ufezwe kuze kube sekugcineni, njengokudla, ukugqoka, nokulala, izinto umuntu angakhohlwa nakancane ukuzenza, ukuze ekugcineni ukungazi kube yikhono elijwayelekile njengokudla, into oyenza kalula, ngesandla esijwayeziwe. Mayelana namazwi engiwakhulumayo, izwi ngalinye kumele lithathwe ngokukhulu ukuqiniseka nangokuliqonda; akumele kube khona abakwenza nje kungapheleli. Noma ubani ongawanaki amazwi Ami uzothathwa njengomuntu ophikisana Nami uqobo; noma ubani ongawadli amazwi Ami, noma ongafuni ukuwazi, uzothathwa njengonganginakile, kanti uzoshanelwa akhishwe ngomnyango wendlu Yami. Njengoba ngishilo ngaphambilini, lokhu engikufunayo akukona okwabantu abaningi, kodwa abambalwa abakhethekile. Kubantu abayikhulu, uma oyedwa kubo ekwazi ukungazi ngamazwi Ami, ngizolahla bonke laba abanye ngibhekane nokukhanyisa ngikhanyisela yena yedwa. Kulokhu, uzobona ukuthi akusilo iqiniso ukuthi inani elikhulu lingangibona, lingiphile. Engikufunayo ukolweni (yize noma izikhwebu zingagcwele) hhayi ukhula (yize noma izikhwebu zigcwele ngokwanele zihalisa). Labo-ke abangenandaba nokungifuna kunalokho beziphatha kabi, mabaphile ngentando yabo; angisafuni ukuphinda ngibabone, bengaze balethe ihlazo egameni Lami.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 5” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

596. Angisheshi ukujezisa noma ubani, akakho noma ubani engimphatha ngokungafanele—ngenza ukulunga kubo bonke. Ngiyawathanda amadodana Ami futhi ngizonda ababi abangidelelayo; lesi yisimiso okusekelwe kuso izenzo Zami. Nonke kufanele nibe nokuqonda izinqumo Zami zokuphatha. Uma kungenjalo, ngeke nibe nokuncane ukwesaba futhi niyoba abanganaki phambi Kwami, futhi ngeke nazi ukuthi yini engifuna ukuyiphelelisa, yini engifuna ukuyenza iphelele, yini engifuna ukuyizuza noma luhlobo luni lomuntu oludingwa umbuso Wami.

Izinqumo Zami zokuphatha yilezi:

1. Kungakhathaleki ukuthi ungubani, uma uphikisana Nami enhliziyweni yakho, uzokwahlulelwa.

2. Labo engibakhethile, bazoqondiswa masinyane kunoma yimiphi imicabango emibi.

3. Ngizobabeka eceleni labo abangakholwa Kimi. Ngizobenza bakhulume futhi benze ngokunganaki kuze kube sekugcineni lapho ngizobajezisa khona ngokuphelele futhi ngibalungise.

4. Abakholwa Kimi, ngizobanakekela futhi ngibavikele ngazo zonke izikhathi. Ngazo zonke izikhathi nizobanika ukuphila ngisebenzisa indlela yensindiso. Laba bantu bayoba nothando Lwami futhi ngokuqinisekile ngeke bawe noma baduke. Noma yibuphi ubuthakathaka abanabo buzoba obesikhashana, futhi ngokuqinisekile angeke ngibukhumbule.

5. Kulabo ababonakala kwangathi bayakholwa kodwa abangakholwa ngempela—okusho labo abakholwa kuNkulunkulu kodwa abangafuni uKristu, kodwa futhi abangamelani naye—lezi zinhlobo zabantu zidabukisa kakhulu, futhi ngezenzo Zami ngizobenza babone ngokucacile. Ngezenzo Zami, ngizosindisa lezi zinhlobo zabantu futhi ngibabuyise.

6. Amadodana kaNkulunkulu angamazibulo abe ngawokuqala ukwamukela igama Lami azobusiswa! Ngokuqinisekile ngizothululela izibusiso ezinhle kakhulu kini futhi niyoba nokujabula okuyokwanelisa izinhliziyo zenu; akekho oyolokotha ukuzivimba. Yonke into ilungiselelwe nina ngokugcwele, njengoba lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 56” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

597. Manje ngimemezela izinqumo zokuphatha zombuso Wami: Zonke izinto zingaphakathi kokwahlulela Kwami, zonke izinto zingaphakathi kokulunga Kwami, zonke izinto zingaphakathi kobukhosi Bami, futhi ukulunga kwenziwa kubo bonke. Labo abathi bakholwa Kimi kodwa abangiphikisayo ezinhliziyweni zabo, noma izinhliziyo zabo ezingilahlile bayoxoshwa, kodwa konke ngesikhathi esilungele Mina. Labo abakhuluma ngokubhinqa Ngami, kodwa ngendlela abantu abangayiqapheli, bayofa ngokushesha (bayofa emoyeni, emzimbeni nasemphefumulweni). Kulabo abacindezela noma bazibe labo engibathandayo, ulaka Lwami lubahlulela ngokushesha. Lokhu kusho ukuthi labo abanenhliziyo enomona ngalabo engibathandayo futhi abacabanga ukuthi angilungile bayonikelwa kulabo engibathandayo ukuze babahlulele. Bonke labo abaziphethe kahle, abaqondile nje nabaqotho (kuhlanganisa labo abantula ukuhlakanipha) nabaqotho ngokungangabazi Kimi bonke bayosala embusweni Wami. Bonke abangedlulile ekuqeqeshweni, okusho labo bantu abaqotho abantula ukuhlakanipha nolwazi, bayoba namandla embusweni Wami. Nokho baphinde futhi badlula ekubhekanweni nabo nokwephulwa. Ukuthi abedlulile ekuqeqeshweni akunasiqiniseko, kodwa kunalokho ngiyokhombisa ngalezi zinto bonke abantu ukuba namandla onke nokuhlakanipha Kwami. Ngiyoxosha labo abasangingabaza manje, angifuni noyedwa wabo (ngiyabenyanya labo abasangingabaza kanje esikhathini esinje). Ngezenzo engizenza emhlabeni wonke, ngiyokhombisa abantu abaqotho ukumangalisa kwezenzo Zami, kulokho ngikhulise ukuhlakanipha, ulwazi nokwahlukanisa kwabo, futhi ngiyokwenza ukuthi abantu abakhohlisayo babhujiswe ngomzuzu ngenxa yezenzo Zami ezimangalisayo. Wonke amadodana angamazibulo aba ngawokuqala ukwamukela igama Lami (okuchaza labo bantu abangcwele nabangangcolile, abaqotho) ayoba ngawokuqala ukungena embusweni bese ebusa zonke zizwe nabo bonke abantu kanye Nami, abuse njengamakhosi embusweni futhi ndawonye ahlulele zonke izizwe nabo bonke abantu (okusho wonke amadodana angamazibulo embusweni, hhayi abanye). Labo phakathi kwezizwe zonke nabo bonke abantu abahlulelwe futhi abaphendukile bayongena embusweni Wami futhi babe ngabantu Bami, futhi labo abanenkani nabangaphenduki bayophonswa emgodini ongenamkhawulo (ukuze babhubhe kuze kube phakade). Ukwahlulela embusweni kuyoba ngokokugcina futhi kuyoba ngokuhlanzwa komhlaba. Khona-ke ngeke kusaba khona ukwenza okungalungile, usizi, izinyembezi, ukububula futhi ngaphezu kwalokho ngeke kube khona umhlaba. Konke kuyoba ngukubonakaliswa kukaKristu, konke kuyoba ngumbuso kaKristu. Inkazimulo engaka! Inkazimulo engaka!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 79” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

598. Manje ngimemezela kini izinqumo Zami zokuphatha (ezisebenza kusuka ngosuku lokumenyezelwa kwazo, nginikeza ukusola okwehlukene kubantu abahlukene):

Ngiyazigcina izethembiso Zami, futhi konke kusezandleni Zami: Lowo ongabazayo nakanjani uyobulawa. Akukho sikhala sokucabanga; bayobhujiswa ngokushesha, ngalokho basuse inzondo enhliziyweni Yami. (Kusukela manje kuqhubeke kuyaqiniswa ukuthi lowo obulewe akufanele abe ngelinye lamalungu ombuso Wami, futhi kufanele abe yinzalo kaSathane.)

Njengamadodana Ami angamazibulo kufanele nigcine izikhundla zenu futhi nenze imisebenzi yenu kahle, futhi ningabi abantu abathanda izindaba. Kufanele nizinikele ngenxa yohlelo Lwami lokuphatha, konke lapho nihamba khona, kufanele ningifakazele futhi nikhazimulise igama Lami. Ningenzi izinto ezinehlazo; yibani yizibonelo kuwo wonke amadodana Ami nabantu Bami. Ningabi nokungazithibi ngisho umzuzu: Kufanele nihlale nibonakala kuwo wonke umuntu ngomfanekiso wamadodana angamazibulo, futhi hhayi ngokuba njengezisebenzi; kodwa kufanele ninyathela niphakamisele amakhanda phezulu. Nginicela ukuba nikhazimulise igama Lami, ningahlazi igama Lami. Labo abangamadodana angamazibulo ngamunye ngamunye banomsebenzi wabo, futhi abakwazi ukwenza konke. Lokhu kungumthwalo engiwunike nina, okungafanele ulahlwe. Kufanele nizinikele ngayo yonke inhliziyo yenu, ngayo yonke ingqondo yenu nangawo wonke amandla enu, ukuze nifeze lokho enginiphathise khona.

Kusukela manje kuqhubeke, kuwo wonke umhlaba, umsebenzi wokwelusa amadodana Ami nabo bonke abantu Bami unikezwe amadodana Ami angamazibulo ukuze awugcwalise, futhi lowo ongakwazi ukuwufeza ngayo yonke inhliziyo yakhe nayo yonke ingqondo yakhe, ngiyomsola. Lokhu kungukulunga Kwami. Ngeke ngiyeke noma ngithambisele ngisho namadodana Ami angamazibulo.

Uma kukhona noma ngubani phakathi kwamadodana Ami noma abantu Bami ohlekisa futhi athuke oyedwa wamadodana Ami angamazibulo, ngiyomjezisa ngesihluku ngoba amadodana Ami amele Mina uqobo Lwami; lokho umuntu akwenza kuwo, ukwenza naKimi futhi. Lesi yisinqumo Sami sokuphatha esinzima kakhulu. Ngizovumela amadodana Ami angamazibulo, ukuba enze ukulunga Kwami ngokuhambisana nezifiso zawo kunoma ngubani phakathi kwamadodana Ami nabantu Bami owephula lesi sinqumo.

Ngizoshiya kancane kancane noma ngubani ongithatha ngokunganaki nogxila kuphela ekudleni, ekugqokeni nasekulaleni Kwami, enaka kuphela izindaba Zami zangaphandle futhi enganaki ukucabangela umthwalo Wami, futhi enganaki ukufeza umsebenzi wakhe ngokufanele. Lokhu kuqondiswe kubo bonke abanezindlebe.

Lowo oqeda ukungenzela umsebenzi kufanele ngokulalela aqhele futhi angabi nomsindo. Qaphela, uma kungenjalo ngiyobhekana nawe. (Lokhu ngokwenezelwe.)

Amadodana Ami angamazibulo ayothatha induku yensimbi kusuka manje kuya phambili bese eqala ukusebenzisa igunya Lami ukubusa zonke izizwe nabantu, ukuhamba phakathi kwazo zonke izizwe nabantu, kanye nokwenza ukwahlulela, ukulunga, nobukhosi Bami phakathi kwazo zonke izizwe nabantu. Amadodana Ami nabantu Bami bayongesaba, bangidumise, bangihalalisele, futhi bangikhazimulise ngokungaphezi, ngoba uhlelo Lwami lokuphatha lufeziwe futhi amadodana Ami angamazibulo asangabusa Nami.

Lokhu kuyingxenye yezinqumo Zami zokuphatha; ngemva kwalokhu, ngiyobatshela ngokuhambisana nezinga lokuqhubeka komsebenzi. Ezinqumweni zokuphatha ezingenhla niyobona isivinini engenza ngaso umsebenzi Wami, futhi nibone isinyathelo umsebenzi Wami osufike kuso. Lokhu kuzoba ubufakazi.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 88” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

599. Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ilalelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini Yombuso

(Isahluko Sezwi LikaNkulunkulu Esikhethiwe)

1. Umuntu akumele azenze mkhulu, noma aziphakamise. Kumele akhonze futhi aphakamise uNkulunkulu.

2. Kumele wenze noma yini eyinzuzo emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ungenzi lutho oluzolimaza izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Kumele uvikele igama likaNkulunkulu, ubufakazi bukaNkulunkulu, nomsebenzi kaNkulunkulu.

3. Imali, izinto ezibonakalayo, nazo zonke izimpahla ezisendlini kaNkulunkulu ziwumnikelo okumele unikelwe ngabantu. Le minikelo ingathokozelwa ngumphristi noNkulunkulu hhayi omunye umuntu, ngoba iminikelo yomuntu eyokuba ithokozelwe uNkulunkulu, uNkulunkulu wabelana ngale minikelo nomphristi kuphela, akekho omunye umuntu ofanele noma onelungelo lokuthokozela ingxenye yayo. Yonke iminikelo yomuntu (kuhlanganise imali nezinto ezibonakalayo ezingathokozelwa) inikezwa uNkulunkulu, hhayi umuntu. Ngakho-ke, lezi zinto akumele zithokozelwe umuntu; uma umuntu ezithokozela, kusho ukuthi untshontsha umnikelo. Noma ubani owenza lokhu unguJuda, ngoba, phezu kokuba yimbuka, uJuda wazithathela okwakufanele akufake esikhwameni semali.

4. Umuntu unesimo esikhohlakele futhi, ngaphezu kwalokho, unemizwa. Ngenxa yalokhu, akuvumelekile neze ukuba amalungu amabili obulili obungafani asebenze ndawonye engaphelezelwa lapho enza umsebenzi kaNkulunkulu. Noma yibaphi abantu abatholakale benza lokhu bazoxoshwa, akukho ukukhetha iphela emasini—futhi akekho oxolelwayo.

5. Akumele uhlulele uNkulunkulu, noma ukhulume kalula nje ngezindaba ezithinta uNkulunkulu. Kumele wenze lokhu umuntu okumele akwenze, ukhulume ngendlela okumele ukhulume ngayo, ungeqi imikhawulo noma weqe imingcele. Khalima ulimi lwakho uqaphele izinyathelo zakho. Konke lokhu kuzokuvimbela ekwenzeni noma yini enenga isimo sikaNkulunkulu.

6. Kumele wenze lokhu okumele kwenziwe umuntu, wenze imisebenzi yakho, ugcwalise okuyizibophezelo zakho, ubambelele emsebenzini wakho. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kumele ube negalelo emsebenzini kaNkulunkulu; uma ungakwenzi lokho, kusho ukuthi awukulungele ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi awukufanele ukuhlala endlini kaNkulunkulu.

7. Emsebenzini nasezindabeni zebandla, ngaphandle kokulalela uNkulunkulu, kukho konke kumele ulandele imiyalelo yomuntu osetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngisho ukwephula umthetho okuncane kangakanani akwamukeleki. Kumele uzithobe ngokuphelele, ungahlaziyi okulungile noma okungalungile; okulungile noma okungalungile akuhlangene nawe. Kumele unake nje ukulalela ngokuphelele.

8. Abantu abakholwa kuNkulunkulu kumele balalele uNkulunkulu futhi bamkhonze. Akumele uphakamise noma ubeke ithemba lakho komunye umuntu; akumele unike uNkulunkulu indawo yokuqala, eyesibili kube ngeyabanye abantu othembele kubo, bese indawo yesithathu kube nguwe. Akekho umuntu okumele abe senhliziyweni yakho, futhi akumele ubeke abantu—ikakhulukazi labo obahlonipha kakhulu—endaweni elingana nekaNkulunkulu, balingane Naye. Lokhu akubekezeleki kuNkulunkulu.

9. Imicabango yakho kumele ibe ngemisebenzi yebandla. Kumele ubeke eceleni lokhu okulindele kwenyama yakho, thatha izinqumo ngezindaba zomndeni, ngenhliziyo yakho yonke zinikele emsebenzini kaNkulunkulu, ubeke umsebenzi kaNkulunkulu phambili futhi impilo yakho ilandele ngemuva. Yilokhu ukuziphatha kahle kongcwele.

10. Izihlobo ezingezona ezenkolo (izingane zakho, umyeni noma unkosikazi wakho, odadewenu noma abazali, nabanye) akumele ziphoqwe ukuba ziye ebandleni. Indlu kaNkulunkulu ayintuli amalungu, asikho isidingo sokuba nikhulise isibalo ngabantu abangenamsebenzi walutho. Bonke labo abangakholwa ngokukhululeka akumele balethwe ebandleni. Lo myalelo uqondiswe kubo bonke abantu. Kulolu daba kumele nibheke, niqaphe niphinde nikhumbuzane ngalo, futhi akekho okumele awephulwe. Ngisho lapho izihlobo ezingezona ezenkolo kwenzeka zingena ebandleni ngokuba madolonzima, akumele zinikwe izincwadi noma zinikwe igama elisha; abantu abanjalo ababona abantu bendlu kaNkulunkulu, futhi ukuza kwabo ebandleni kumele kumiswe ngayo yonke indlela. Uma kuba nezinkinga ebandleni ngenxa yokungena kwamadimoni, kusho ukuthi wena uqobo uzoxoshwa noma uzobekelwa imingcele. Kafushane nje, wonke umuntu unesibopho kulolu daba, kodwa akumele nibe budedengu, noma nisisebenzisele impindiselo.

Kuvela encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

600. Abantu kufanele babambelele emisebenzini eminingi okufanele bayenze. Lokhu yilokhu abantu okufanele babambelele kukho, nokufanele bakwenze. Dedela uMoya oNgcwele wenze lokho okufanele kwenziwe uMoya oNgcwele, umuntu akanandima angayidlala kukho. Umuntu makabambelele kulokho okufanele kwenziwe ngumuntu, okungaphathelene noMoya oNgcwele. Akulutho kodwa lokho okufanele kwenziwe ngumuntu, kanti kufanele kulandelwe njengomthetho, njengoba kwakulandelwa umthetho weTestamente Elidala. Yize manje kungeyona iNkathi Yomthetho, kusenamazwi amaningi afanayo neNkathi Yomthetho okufanele alandelwe, futhi awalandelwa nje ngokuthemba ukuthi uzothintwa uMoya oNgcwele, kodwa ayilokho okufanele kulandelwe umuntu. Isibonelo: Awukwazi ukwahlulela umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo. Awukwazi ukuphikisa umuntu ofakazelwe nguNkulunkulu. Phambi kukaNkulunkulu, uzogcina indawo yakho futhi ungantuli. Kufanele uqoqeke enkulumweni, kanti amazwi akho nezenzo zakho kufanele zilandele izinhlelo zomuntu ofakazelwe nguNkulunkulu. Ufanele uhloniphe ubufakazi bukaNkulunkulu. Akumele uzibe umsebenzi kaNkulunkulu namazwi aphuma emlonyeni Wakhe. Awukwazi ukulingisa iphimbo nezinhloso zokushiwo nguNkulunkulu. Ngaphandle, ngeke wenze lutho okuveza ukuphikisana nomuntu ofakazelwe nguNkulunkulu. Nokunye. Yilokho omunye nomunye okufanele anamathele kukho.

Kucashunwe embhalweni othi “Imithetho YeNkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

601. Namuhla, akukho okubaluleke kakhulu kunokuthi umuntu abambelele kulokhu okulandelayo: Ungazami ukukhohlisa uNkulunkulu omi phambi kwamehlo akho, noma umfihlele noma yini. Akumele ukhulume ukungcola noma inkulumo yokuqhosha phambi kukaNkulunkulu ophambi kwakho. Akumele ukhohlise uNkulunkulu ome phambi kwamehlo akho ngamazwi amahle nezinkulumo ezilungile ukuze uthembeke Kuye. Akumele uziphathe ngokungahloniphi phambi kukaNkulunkulu. Uzolalela konke lokho okukhulunywe umlomo kaNkulunkulu, ungenqabi, ungaphikisi, noma uphike amazwi Akhe. Akumele utolike ngendlela obona ngayo amazwi akhulunywe umlomo kaNkulunkulu. Ufanele ugade ulimi lwakho ugweme ukuthi lungakufaki ogibeni lwamaqhinga ayinkohliso yababi. Ufanele ugade izinyathelo zakho ukuze ugweme ukweqa imingcele obekelwe yona nguNkulunkulu. Ukwenza njalo kuzokwenza ukuthi ukhulume amazwi anemizindlo nanokuzikhukhumeza ngokubona kukaNkulunkulu bese uyamnyanyisa uNkulunkulu. Akumele usabalalise ngobudedengu amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu funa abanye bakugcone bese odeveli bekwenza isilima. Kufanele ulalele wonke umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla. Noma ngabe awuwuqondi, akumele uwahlulele; okuwukuphela ofanele ukuthi ukwenze ukufuna nokuba nenhlanganyelo. Akekho umuntu ozokweqa endaweni kaNkulunkulu yokuqala. Akukho okunye ozokwenza ngaphandle kokusebenzela uNkulunkulu wanamuhla usendaweni yomuntu. Awukwazi ukufundisa uNkulunkulu wanamuhla usendaweni yomuntu—ukwenza njalo ukulahleka. Akekho ongema endaweni yomuntu ofakazelwe nguNkulunkulu; emazwini akho, ezenzweni, nasemicabangweni yakho ejulile ume endaweni yomuntu. Lokhu kufanele kulandelwe, yisibophezelo somuntu, kungeguqulwe muntu, kanti ukwenza kanjalo kuwukwephula imiyalelo yokuphatha. Kufanele kukhunjulwe yibo bonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Imithetho YeNkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

602. Wonke umusho engiwuphimisayo uphethe igunya nokwahlulela futhi akekho ongakuguqula. Lapho amazwi Ami ephuma, izinto ziyofezwa ngokuhambisana namazwi Ami, futhi lokhu kuyisimo Sami. Amazwi Ami ayigunya futhi noma ngubani owaguqulayo udelela ukusola Kwami futhi kufanele ngimshaye ngimwise. Ezimweni ezibucayi bazilethela incithakalo phezu kwezimpilo zabo futhi baya eHayidesi, noma baye emgodini ongenamkhawulo. Lokhu kuyindlela okuwukuphela kwayo engibhekana ngayo nesintu futhi umuntu akanandlela yokuyiguqula—lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. Khumbulani lokhu! Akekho ovunyelwe ukudelela isinqumo Sami; lokhu kufanele kwenziwe ngokwentando Yami! Esikhathini esedlule, nganginithambisele kakhulu futhi nahlangana namazwi Ami kuphela. Amazwi engawakhuluma ngokushaya ngiwise abantu awakenzeki. Kodwa kusuka namuhla, zonke izinhlekelele (lezi ezihlobene nezinqumo Zami zokuphatha) ziyokwehla ngokulandelana ukuze zijezise bonke labo abangahambisani nentando Yami. Kufanele kufike amaqiniso, kungenjalo abantu ngeke bakwazi ukubona ulaka Lwami kodwa bayokonakala ngokuphindaphindiwe. Lesi yisinyathelo sohlelo Lwami futhi siyindlela engenza ngayo isinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami. Ngisho lokhu kini ngaphambi kwesikhathi ukuze nikwazi ukugwema ukwenza icala bese nehlelwa ukubhubha okuphakade. Okusho ukuthi, kusuka namuhla ngizokwenza bonke abantu ngaphandle kwamadodana Ami angamazibulo bathathe izindawo zabo ezifanele ngokwentando Yami, futhi ngiyobasola ngabanye ngabanye. Ngeke ngidedele ngisho noyedwa kubo. Lokothani nje nonakale futhi! Lokothani nje nihlubuke futhi! Ngishilo ngaphambili ukuthi ngilungile kukho konke ngaphandle kwechashazi lesihawu, futhi lokhu kusebenza ukukhombisa ukuthi isimo sami akufanele sidelelwe. Lesi yisiqu Sami. Akekho ongakuguqula lokhu. Bonke abantu bezwa amazwi Ami futhi bonke abantu babona ubuso Bami obukhazimulayo. Bonke abantu kufanele bangilalele ngokuphelele nokungephikiswe—lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. Bonke abantu emhlabeni wonke nasemaphethelweni omhlaba kufanele bangidumise futhi bangikhazimulise, ngoba nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe okungekho lutho olufana Naye, ngoba ngiyisiqu sikaNkulunkulu. Akekho ongaguqula amazwi Ami nengikushoyo, ukukhuluma nokuziphatha Kwami, njengoba lezi kuyizindaba Zami ngedwa, futhi ziyilokho engibe nakho kusuka phakade futhi okuyoba khona kuze kube phakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 100” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

603. Ukwahlulela Kwami kuza kuwo wonke umuntu, izinqumo Zami zokuphatha zithinta wonke umuntu, futhi amazwi Ami nesiqu Sami kwambulwa kuwo wonke umuntu. Lesi yisikhathi somsebenzi omkhulu woMoya Wami (kulesi sikhathi labo abazobusiswa nalabo abazokwehlelwa yishwa bayehlukaniswa). Lapho amazwi Ami ephuma nje, ngahlukanise labo abayobusiswa nalabo abayokwehlelwa yishwa. Kucace kakhulu konke futhi ngikubona ngokukubuka kanye. (Kukhulunywa ngakho mayelana nobuntu Bami, ngakho akuphikisi ukunqumela ngaphambili nokukhetha Kwami.) Ngizula ezintabeni nasemifuleni nakuzo zonke izinto, umkhathi nomhlaba, ngibheka yonke indawo futhi ngihlanza yonke indawo, ukuze lezo zindawo ezingahlanzekile nalawo mazwe onakele konke kuyoyeka ukuba khona futhi kuyoshiswa kuphele ngenxa yamazwi Ami. Kimi, konke kulula. Ukube manje bekuyisikhathi engasinquma ngaphambili sokubhubhisa umhlaba, bengingawugwinya ngezwi elilodwa, kodwa manje akusona isikhathi. Konke kufanele kulunge ngaphambi kokuba ngenze lo msebenzi, ukuze kungaphazamisi uhlelo Lwami futhi kuphazamise ukuphatha Kwami. Ngiyayazi indlela yokukwenza ngokunomqondo: nginokuhlakanipha Kwami futhi nginelungiselelo Lami. Abantu kufanele banganyakazisi nomunwe owodwa—qaphelani ningabulawa esandleni Sami; lokhu sekuvele kuthinta izinqumo Zami zokuphatha. Kulokhu umuntu ubona isihluku sezinqumo Zami zokuphatha, futhi umuntu ubona izimiso zezinqumo Zami zokuphatha, okuhlanganisa izingxenye ezimbili: ohlangothini olunye ngibulala bonke abangahambisani nentando Yami futhi abadelela izinqumo Zami zokuphatha; kolunye uhlangothi, olakeni Lwami ngiqalekisa bonke abadelela izinqumo Zami zokuphatha. Lezi zingxenye zombili azinakusilela futhi ziyizimiso ezinkulu zezinqumo Zami zokuphatha. Wonke umuntu uphathwa ngokuhambisana nalezi zimiso ezimbili, ngaphandle komzwelo, kungakhathaleki ukuthi abantu bathembeke kangakanani. Lokhu kwanele ukukhombisa ubukhosi nolaka Lwami, okuyongqongqisa zonke izinto zezwe, zonke izinto zomhlaba, nazo zonke izinto ezingahambisani nentando Yami. Emazwini Ami kukhona izimfihlakalo ezifihliwe, futhi emazwini Ami kukhona futhi izimfihlakalo ezambuliwe, ngakho emicabangweni yomuntu, emqondweni womuntu, amazwi Ami ahlala engaqondakali futhi inhliziyo Yami ihlala ingaqondakali. Ngamanye amazwi, kufanele ngisuse abantu emiqondweni nasekucabangeni kwabo. Lokhu kuyingxenye ebaluleke kakhulu ohlelweni Lwami lokuphatha. Kufanele ngikwenze ngale ndlela ukuze ngizuze amadodana Ami angamazibulo futhi ukuze kufezwe izinto engifuna ukuzenza.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 103” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

604. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: D. NgoNkulunkulu Njengomthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto

Okulandelayo: XIII. Amazwi Ngezimfuneko, Izinxuso, Izinduduzo Nezixwayiso ZikaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp