Mayelana NeBhayibheli (3)

Akuyona yonke into eseBhayibhelini engumbhalo wamazwi akhulunywa nguNkulunkulu mathupha. IBhayibheli lethula izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu waphambilini, ingxenye eyodwa ingumbhalo ngokubikezela kwabaphrofethi, enye ingxenye yilokho abantu abadlule kukho kanye nolwazi olubhalwe ngabantu abebesetshenziswa nguNkulunkulu ngesikhathi sonke sezinkathi. Izinto abantu abadlula kuzo ziyangcoliswa imibono nolwazi lwabantu, lokhu okungenakugwemeka. Ezincwadini eziningi zeBhayibheli kunemibono yabantu, ukubandlulula kwabantu, kanye nokuqonda kwabantu okungenangqondo. Impela, ubuningi bamazwi bungumphumela wokukhanyiselwa nokukhanyisa koMoya oNgcwele, futhi awukuqonda okufanele—nokho kungeke kwashiwo ukuthi awukuvezwa kweqiniso okuqondile ngokuphelele. Imibono yawo kwezinye izinto iwulwazi nje oluthathelwe kulokho abantu abadlule kukho mathupha, noma ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ukubikezela kwabaphrofethi kwabe kuyalwe nguNkulunkulu mathupha: Iziphrofetho zabantu abafana no-Isaya, uDaniyeli, u-Ezra, uJeremiya, kanye noHezekeli zavela emiyalelweni eyayisuka oMoyeni oNgcwele ngqo, la bantu babengabaphrofethi, babenikwe uMoya wokuphrofetha, bonke babengabaphrofethi baseTestamenteni Elidala. Ngesikhathi seNkathi Yomthetho laba bantu, ababethole ukuphefumulelwa nguJehova, bakhuluma iziphrofetho eziningi, ababeziyalwe nguJehova. Futhi kungani uJehova ayesebenza kubo? Yingoba abantu bakwa-Israyeli babengabantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo: Umsebenzi wabaphrofethi kwakufanele wenziwe phakathi kwabo, futhi babefanelekile ukuthola izambulo ezinjalo. Empeleni, bona uqobo lwabo babengaziqondi izambulo zikaNkulunkulu kubo. UMoya oNgcwele wakhuluma lawo mazwi ngemilomo yabo ukuze abantu bangesikhathi esizayo baziqonde lezo zinto, futhi babone ukuthi ngokoqobo zabe zingumsebenzi woMoya kaNkulunkulu, ezoMoya oNgcwele, futhi zazingavelanga kumuntu, futhi nokubanika isiqiniseko ngomsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngesikhathi seNkathi Yomusa, uJesu uqobo Lwakhe wenza wonke lo msebenzi esikhundleni sabo, ngakho abantu babengasaphrofethi. Ngakho-ke uJesu wabe enguphrofethi yini? Kunjalo, uJesu wabe enguphrofethi, kodwa Wabe ekwazi ukwenza umsebenzi wabaphostoli: Wayekwazi ukuphrofetha kanye nokushumayela kanye nokufundisa abantu ezweni lonke. Kepha umsebenzi Yena awenza nobuyena ayebumele kwakungafani. Wafika ukuhlenga sonke isintu, ukuhlenga umuntu esonweni; Yena wabe engumphrofethi, futhi umphostoli, kodwa ngaphezu kwalokho wabe enguKristu. Umphrofethi angaphrofetha, kodwa ngeke kuze kuthiwe unguKristu. Ngaleso sikhathi, uJesu wabe ephrofetha kakhulu, ngakho kungashiwo ukuthi wabe engumphrofethi, kodwa ngeke kuthiwe wabe engumphrofethi ngakho wabe engeyena uKristu. Yingoba Yena wabe emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe ekwenzeni lesi sigaba somsebenzi, futhi ubuyena babuhlukile kunobuka-Isaya: Wafika ukuzofeza umsebenzi wokuhlenga, futhi Yena wabe engukuphila kumuntu, futhi uMoya oNgcwele weza wangena kuye ngqo. Emsebenzini Yena awenza kwabe kungekho ukuphefumulelwa nguNkulunkulu noma imiyalelo evela kuJehova. Esikhundleni salokho, uMoya wasebenza ngqo—okwanele ukufakazela ukuthi uJesu wabe engafani nomphrofethi. Umsebenzi Yena awenza kwabe kungumsebenzi wokuhlenga, owesibili kwaba ukuphrofetha. Wayengumphrofethi, umphostoli, futhi ngaphezu kwalokho wayenguMhlengi. Abaphrofethi, ngaleso sikhathi, babephrofetha kuphela, futhi babengeke bamele uMoya kaNkulunkulu ekwenzeni noma imuphi omunye umsebenzi. Ngenxa yokuthi uJesu wenza umsebenzi omningi owawungakaze wenziwe ngumuntu phambilini, futhi wenza umsebenzi wokuhlenga isintu, ngakho wayehlukile kubantu abanjengo-Isaya. Ukuthi abanye abantu abawemukeli umfula wanamuhla yingenxa yokuthi lokhu sekudale isiphazamiso kubona. Bathi: “ETestamenteni Elidala abaphrofethi abaningi bakhuluma amazwi amaningi—ngakho kungani babengeyena uNkulunkulu othathe isimo osenyameni? UNkulunkulu wanamuhla ukhuluma amazwi—kwanele lokho ukufakazela ukuthi Yena unguNkulunkulu osenyameni? Awuliphakamisi iBhayibheli, futhi awulifundi—ngakho isiphi isisekelo onaso sokuthi Yena unguNkulunkulu osenyameni? Uthi bayalwe uMoya oNgcwele, futhi ukholelwa ukuthi lesi sigaba somsebenzi ngumsebenzi owenziwa nguNkulunkulu mathupha—kepha yini isisekelo sakho salokhu? Ugxilisa ukuqaphela kwakho emazwini kaNkulunkulu namuhla, kubukeka sengathi sewuliphikile iBhayibheli, futhi walibeka eceleni.” Ngakho-ke bathi ukholelwa ekuhlubukeni, nasenkolweni ephambukile.

Uma ufisa ukufakazela umsebenzi kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina, kufanele uqonde indaba yangaphakathi yeBhayibheli, ukwakhiwa kweBhayibheli, kanye nengqikithi yeBhayibheli. Namhlanje, abantu bakholwa ukuthi iBhayibheli nguNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu iBhayibheli. Futhi, bayakholelwa ukuthi wonke amazwi aseBhayibhelini yiwo wodwa amazwi uNkulunkulu awakhuluma, futhi nokuthi wonke ashiwo nguNkulunkulu. Labo abakholwa kuNkulunkulu bacabanga ngisho ukuthi nakuba zonke izincwadi ezingama-66 zeTestamente Elidala neTestamente Elisha zabhalwa ngabantu, zonke zanikezwa ngokuphefumulelwa nguNkulunkulu futhi zabe zingumbhalo wamazwi oMoya oNgcwele. Lokhu kuwukuqonda komuntu okuyiphutha, futhi akuvumelani namaqiniso. Empeleni, ngaphandle kwezincwadi zokuphrofetha, iningi lokubhalwe eBhayibhelini lingumlando nje. Ezinye zezincwadi zeTestamente Elisha zivela kulokho abantu abadlule kukho mathupha, futhi ezinye zivela ekukhanyiselweni nguMoya oNgcwele; izincwadi zikaPawulu, isibonelo, zavela emsebenzini womuntu, zabe zingumphumela wokukhanyiselwa nguMoya oNgcwele, futhi zabe zibhalelwe amabandla, zingamazwi okuyala nokukhuthaza abazalwane emabandleni. Kwabe kungewona amazwi ayekhulunywe nguMoya oNgcwele—uPawulu wayengeke akhulumele uMoya oNgcwele, futhi wabe engeyena umprofethi, kungasaphathwa okokubona imibono uJohane ayibonayo. Izincwadi zakhe zazibhalelwe amabandla ase-Efesu, eFiladelfiya, eGalathiya, kanye namanye amabandla. Ngakho, izincwadi zikaPawulu zeTestamente Elisha zabe ziyizincwadi uPawulu azibhalela amabandla, hhayi ukuphefumulelwa okuvela eMoyeni oNgcwele, futhi aziwona amazwi avela ngqo eMoyeni oNgcwele. Zimane zingamazwi okuyala, okududuza, nokukhuthaza awabhalela amabandla ngesikhathi enza umsebenzi wakhe. Ngakho nazo, zingumbhalo womsebenzi omningi kaPawulu ngaleso sikhathi. Zazibhalelwe bonke abazalwane eNkosini, futhi zabe zingezokwenza ukuthi abazalwane emabandleni ngaleso sikhathi ukuba balandele izeluleko zakhe nokuthi bagcine zonke izindlela zeNkosi uJesu. Akazange uPawulu athi, noma kumabandla angaleso sikhathi noma angesikhathi esizayo, bonke kufanele badle futhi baphuze izinto azibhala, futhi akazange athi wonke amazwi akhe avele kuNkulunkulu. Ngokuhambisana nezimo ebandleni ngaleso sikhathi, wamane waxoxisana nabazalwane, futhi wabayala, wagqugquzela ukholo kubo; futhi wayemane ashumayele noma akhumbuze abantu futhi abayale. Amazwi akhe ayesukela emthwalweni wakhe, futhi wayesekela abantu ngala mazwi. Wenza umsebenzi womphostoli wamabandla angaleso sikhathi, wabe eyisisebenzi esasisetshenziswa yiNkosi uJesu, ngakho kufanele athathe umthwalo wokuphatha amabandla, futhi kufanele enze umsebenzi wamabandla, kwadingeka ukuba afunde ngezimo ababekuzo abazalwane—futhi ngenxa yalokhu, wabhalela izincwadi bonke abazalwane eNkosini. Konke akusho okwabe kwakha futhi kukuhle kubantu kwakulungile, kodwa kwabe kungamele amazwi oMoya oNgcwele, futhi kwakungeke kumele uNkulunkulu. Kungukuqonda okuyiphutha ngokumangalisayo, nokuhlambalaza okukhulu kakhulu, ukuthi abantu bathathe imibhalo yalokho umuntu adlule kukho nezincwadi zomuntu njengamazwi akhulunywa nguMoya oNgcwele emabandleni! Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma kuza ezincwadini lezi uPawulu azibhalela amabandla, ngoba izincwadi zakhe zazibhalelwe abazalwane ngokubhekelela izinselelo nezimo zebandla nebandla ngaleso sikhathi, futhi kwabe kungezokuyala abazalwane eNkosini, ukuze bathole umusa weNkosi uJesu. Izincwadi zakhe kwakungezokuvuselela abazalwane bangaleso sikhathi. Kungashiwo ukuthi lokhu kwabe kungumthwalo wakhe, futhi kwakungumthwalo ayewunikwe nguMoya oNgcwele; phela wabe engumphostoli ehola amabandla ngaleso sikhathi, owabhalela izincwadi emabandleni futhi wabayala—lokhu kwabe kungumsebenzi wakhe. Ubuyena kwakumane kuyilobo bomphostoli osebenzayo, futhi wabe emane engumphostoli owayethunywe nguNkulunkulu; wabe engeyena umphrofethi, noma umbikezeli. Kuye, umsebenzi wakhe kanye nezimpilo zabazalwane kwakubaluleke kakhulu impela. Ngakho, wayengakwazi ukukhulumela uMoya oNgcwele. Amazwi akhe kwakungewona amazwi oMoya oNgcwele, kungasaphathwa ukuthi kuthiwe amazwi kaNkulunkulu, ngoba uPawulu wayemane engelutho ngaphandle kwesidalwa sikaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekileyo wabe engeyena uNkulunkulu osenyameni. Ubuyena babungafani nalobo bukaJesu. Amazwi kaJesu kwabe kungamazwi kaMoya oNgcwele, kwakungamazwi kaNkulunkulu, ngoba ubuyena kwakunguKristu—indodana kaNkulunkulu. UPawulu wayengaba kanjani untanga Wakhe? Uma abantu bebona izincwadi noma amazwi kaPawulu njengamazwi oMoya oNgcwele, futhi bewakhonze njengoNkulunkulu, ngakho kungathiwa bemukela noma yini bakhohliseka kalula. Ukukusho ngesankahlu, akuve lokhu kuwukumthuka uNkulunkulu? Umuntu angakhulumela kanjani uNkulunkulu? Futhi abantu bangakhothama kanjani ngaphambi kwemibhalo yezincwadi zakhe namazwi awakhuluma ongathi ayeyincwadi engcwele, noma incwadi yasezulwini? Ingabe amazwi kaNkulunkulu ayengakhulunywa ngumuntu ngokunganaki? Wayengamkhulumela kanjani uNkulunkulu umuntu? Ngakho, wena uthini—kungenzeka yini ukuthi izincwadi azibhalela amabandla zazingcoliswe yimibono yakhe ngokwakhe? Zazingeke kanjani zingangcoliswa imibono yobuntu? Wabhalela izincwadi amabandla esusela kulokho ayedlule kukhona yena uqobo nasolwazini lwakhe. Isibonelo, uPawulu wabhalela izincwadi amabandla aseGalathiya ezazinombono othile, futhi uPetru wabhala enye, nokho eyayinombono ohlukile. Yiziphi ezazivela eMoyeni oNgcwele? Akekho ongasho ngokuqinisekile. Ngakho, kungathiwa kuphela zombili zazinomthwalo ngamabandla, kepha izincwadi zawo zibonisa izinga lawo, zibonisa ukuhlinzeka nokusekela kwazo abazalwane, kanye nomthwalo mayelana namabandla, futhi zibonisa umsebenzi womuntu; zazingezona ezoMoya oNgcwele ngokuphelele. Uma uthi izincwadi zakhe zingamazwi kaMoya oNgcwele, ngakho awunangqondo, futhi uyamhlambalaza uNkulunkulu! Izincwadi zikaPawulu kanye nezinye izincwadi zeTestamente Elisha zingalinganiswa nomlando walabo ababenegalelo elikhulu kwezikamoya kamuva nje. Zisezingeni elifanayo nezincwadi zikaWatchman Nee noma lokho uLawrence adlula kukho, njalo njalo. Ukuthi nje izincwadi zalabo bakamuva ababenegalelo elikhulu kwezikamoya, aziqoqelwanga eTestamenteni Elisha, kepha ingqikithi yala bantu iyafana: Babengabantu ababesetshenziswa uMoya oNgcwele ngesikhathi esithile, futhi babengeke bamele uNkulunkulu ngqo.

IVangeli ngokukaMathewu eTestamenteni Elisha lilandisa ngohlu lozalo lukaJesu. Ekuqaleni, lithi uJesu wabe eyinzalo ka-Abrahama, nekaDavide, indodana kaJosefa; okulandelayo lithi uJesu wazalwa ngoMoya oNgcwele, futhi wazalwa yintombi—okuchaza ukuthi wayengeyona indodana kaJosefa noma inzalo ka-Abrahama, nekaDavide. Uhlu lozalo, nokho, luyaphikelela ukuhlanganisa uJesu noJosefa. Okulandelayo, uhlu lozalo luyaqala ukucacisa ngenqubo uJesu azalwa ngayo. Luthi uJesu wazalwa ngoMoya oNgcwele, ukuthi wazalwa yintombi, futhi wayengeyona indodana kaJosefa. Kepha ohlwini lo zalo kubhalwe ngokusobala ukuthi uJesu wabe eyindodana kaJosefa, futhi ngoba uhlu lozalo lubhalelwe uJesu, lubhala izizukulwane ezingama-42. Uma seluza esizukulwaneni sikaJosefa, ngokushesha luthi uJosefa wabe engumyeni kaMariya, amazwi okubonisa ukuthi uJesu wabe eyinzalo ka-Abrahama. Akukhona yini ukuphikisa lokhu? Uhlu lozalo luyabhala ngokusobala isizukulwane sokhokho bakaJosefa, kusobala ukuthi uhlu lozalo lukaJosefa, kodwa uMathewu uyaphikelela ukuthi uhlu lozalo lukaJesu. Ingabe lokhu akuphikisi iqiniso lokuzalwa kukaJesu ngoMoya oNgcwele? Ngakho ingabe uhlu lozalo olubhalwe nguMathewu, aluwona umbono womuntu? Akunangqondo! Ngale ndlela, uyazi ukuthi le ncwadi ayiveli kuMoya oNgcwele ngokuphelele. Kukhona, mhlawumbe, abantu abacabanga ukuthi uNkulunkulu kufanele abe nohlu lozalo emhlabeni, ngakho babela uJesu njengesizukulwane sama-42 sika-Abrahama. Lokho akunangqondo ngempela! Emuva kokufika emhlabeni uNkulunkulu wayengaba kanjani nohlu lozalo? Uma uthi uNkulunkulu unohlu lozalo, Awumbeki esikhundleni phakathi kwezidalwa zikaNkulunkulu? Ngoba uNkulunkulu akayena owomhlaba, uyiNkosi yendalo, nakuba Yena engowenyama, akanaso isiqu esifana nesomuntu. Ungambeka kanjani uNkulunkulu esikhundleni esifanayo nesesidalwa sikaNkulunkulu? U-Abrahama ngeke amele uNkulunkulu; wabe engumenziwa womsebenzi kaJehova ngaleso sikhathi, wayemane eyisikhonzi esithembekile esasemukelwe nguJehova, futhi wabe engomunye wabantu bakwa-Israyeli. Wayengaba kanjani ukhokho kaJesu?

Ubani owabhala uhlu lozalo lukaJesu? UJesu walubhala yena uqobo? Washo uJesu kubona mathupha, “Bhalani uhlu lozalo lwami”? Lwabhalwa nguMathewu emuva kokuba uJesu esebethelwe esiphambanweni. Ngaleso sikhathi, uJesu wayekade enze umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi wayengazange anike incazelo. Emuva kokuthi esehambile, abafundi baqala bashumayela futhi basebenza yonke indawo, futhi ngenxa yaleso sigaba somsebenzi, baqala babhala izincwadi kanye nezincwadi zevangeli. Izincwadi zevangeli zeTestamente Elisha zabhalwa eminyakeni engama-20 noma engama-30 ngemuva kokubethelwa kukaJesu. Phambilini, abantu bakwa-Israyeli babefunda iTestamente Elidala kuphela. Okungukuthi, ekuqaleni kweNkathi Yomusa abantu babefunda iTestamente Elidala. ITestamente Elisha lavela kuphela ngeNkathi Yomusa. ITestamente Elisha labe lingekho ngesikhathi uJesu esebenza; abantu emuva kokuvuka nokunyukela Kwakhe ezulwini babhala phansi umsebenzi Wakhe. Yilapho kuphela kwaba khona amaVangeli Amane, ukwengeza kulokho, kwakukhona izincwadi zikaPawulu noPetru, kanye neNcwadi yeSambulo. Emuva kweminyaka engaphezu kwama-300 uJesu enyukela ezulwini, yilapho kuphela izizukulwane ezalandela zaqoqa ndawonye imibhalo, kwaba khona iTestamente Elisha. Kuphela emuva kokuthi lo msebenzi wabe sewuqediwe, kwaba khona iTestamente Elisha; lalingazange libe khona phambilini. UNkulunkulu wayekade enze wonke loya msebenzi, umphostoli uPawulu wayekade enze wonke loya msebenzi futhi emva kwalokho izincwadi zikaPawulu noPetru zihlangene, kanye nombono omkhulu kakhulu owabhalwa nguJohane esiqhingini sasePhatimose wabekwa ekugcineni, ngoba wawuphrofetha umsebenzi wezinsuku zokugcina. Lokhu konke kwabe kungukuhlela kwezizukulwane ezeza kamuva, futhi kuhlukile kunamazwi anamhlanje. Okubhalwe namuhla kuhambisana nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu; lokho abantu ababhekana nakho namhlanje umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu mathupha, namazwi akhulunywe nguye mathupha. Wena—muntu—awudingi ukugxambukela—amazwi asuka kuMoya oNgcwele ngqo, ahleliwe isinyathelo ngesinyathelo, futhi ahlukile kunamalungiselelo emibhalo yomuntu. Lokho abakubhala, kungathiwa, kwakuhambisana nezinga le mfundo nezinga lomuntu lokukhalipha. Ababekubhala kwabe kuyilokho abantu ababedlule kukho, futhi ngamunye babenezindlela zabo zokubhala nokwazi, futhi umbhalo ngamunye wabe uhlukile. Ngakho, uma ukhonza iBhayibheli njengoNkulunkulu uwunalwazi futhi uyisiphukuphuku ngokwedlulele! Kungani ungafuni umsebenzi kaNkulunkulu wanamhlanje? Umsebenzi kaNkulunkulu kuphela ongasindisa umuntu. IBhayibheli ngeke limsindile umuntu, babengalifunda iminyaka eyizinkulungwane eziningi futhi kulokhu kungekho luguquko kubo, futhi uma ukhonza iBhayibheli awusoze wawuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli zombili zibhaliwe eBhayibhelini, futhi kule mibhalo wonke amagama awaka-Israyeli, nazo zonke izehlakalo ngezika-Israyeli; ngisho igama “Jesu” igama lama-Israyeli. Uma uqhubeka ufunda iBhayibheli namuhla, awugcini isiko? Lokho okubhalwe eTestamenteni Elisha leBhayibheli izindaba zaseJudiya. Umbhalo wasekuqaleni wabe ungesiGreki nesiHebheru, futhi amazwi kaJesu negama ayebizwa ngalo ngaleso sikhathi konke okolimi lo muntu. Ngesikhathi ebethelwa esiphambanweni, uJesu wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani” Akusona isiHebheru lesi? Lokhu kumane kungenxa yokuthi uJesu wabe ethathe isimo sesintu eJudiya, kodwa akufakazeli ukuthi uNkulunkulu ungumJuda. Namhlanje, uNkulunkulu uthathe isimo sesintu eShayina, ngakho yonke into ayishoyo ngokungangabazeki ingesiShayina. Kepha ngeke kuqhathaniswe nesiShayina esihunyushwe eBhayibhelini, ngoba umthombo wala mazwi uhlukile: Owodwa usuka kusiHebheru esibhalwe ngabantu, kanti omunye uphuma emazwini oMoya ngqo. Kwakungenzeka kanjani ukuthi kungabi namahluko nhlobo?

Okwedlule: Mayelana NeBhayibheli (2)

Okulandelayo: Mayelana NeBhayibheli (4)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp