Mayelana nokusebenzisa kukaNkulunkulu umuntu

Akukho muntu okwazi ukuphila ngokuzimela ngaphandle kwalabo abanikwe umkhombandlela okhethekile nokuqondiswa nguMoya oNgcwele, ngoba badinga inkonzo nokweluswa yilabo abasetshenziswa nguNkulunkulu. Ngakho-ke, kuleso naleso sikhathi uNkulunkulu uphakamisa abantu abehlukene abaphuthuma bakhuthalele ukwelusa amabandla ngenxa yomsebenzi Wakhe. Okusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu kufanele wenzeke ngalabo Abakhonzile futhi Abathokozelayo; uMoya oNgcwele kufanele asebenzise ingxenye engaphakathi kubo ekufanele ukusetshenziswa ukuze asebenze, futhi benziwa ukuba bakulungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu ngokupheleliswa nguMoya oNgcwele. Ngoba ukwazi komuntu ukuqonda kuncane kakhulu, kufanele eluswe yilabo abasetshenziswa nguNkulunkulu; kuyafana nokusebenzisa kukaNkulunkulu uMose, ayethole kuye okuningi okwakukufanele ukusetshenziswa ngaleso sikhathi, okuyikho akusebenzisa ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu ngaleso sikhathi. Kulesi sikhathi, uNkulunkulu usebenzisa umuntu ebe futhi esebenzisa ingxenye yakhe enokusetshenziswa nguMoya oNgcwele ukuze asebenze, bese uMoya oNgcwele emhola ebe ekhona lapho ephelelisa ingxenye esele ingenakusebenziseka.

Umsebenzi owenziwa yilowo osetshenziswa nguNkulunkulu ngowokuthi ubambisane nomsebenzi kaKrestu noma uMoya oNgcwele. Lo muntu uphakanyiswa nguNkulunkulu phakathi kwabantu, ulapho ukuze ahole bonke aBakhethwe nguNkulunkulu, futhi uphakanyiswe nguNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokubambisana kwabantu. Ngomuntu onjengalo, okwazi ukwenza umsebenzi wokubambisana kwabantu, okuningi okudingwa nguNkulunkulu kumuntu, nomsebenzi okufanele wenziwe nguMoya oNgcwele phakathi kwabantu kungenzeka ngaye. Enye indlela yokubeka lokhu yile: inhloso kaNkulunkulu ngokusebenzisa lo muntu ngukuba bonke labo abalandela uNkulunkulu bakwazi ukuyiqonda kangcono intando kaNkulunkulu, futhi bakwazi ukufinyelela ngokuthe xaxa emigomeni kaNkulunkulu. Ngoba abantu abakwazi ukuwaqonda ngqo amazwi noma intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uphakamise umuntu osetshenziswa ukwenza lo msebenzi. Lo muntu osetshenziswa uNkulunkulu angachazwa njengethuluzi uNkulunkulu asebenza ngalo ukuqondisa abantu, njengomhumushi oxhumanisa uNkulunkulu nabantu. Kanjalo-ke, umuntu onje akefani namunye kulabo abasebenza emndenini kaNkulunkulu noma abangabefundisi Bakhe. Njengabo, kungathiwa ungumuntu okhonza uNkulunkulu, kodwa engqikithini yomsebenzi wakhe nasendikimbeni yokusetshenziswa kwakhe nguNkulunkulu wehluka kakhulu kwezinye izisebenzi nabefundisi. Ngokwengqikithi yomsebenzi wakhe nendikimba yokusetshenziswa kwakhe, umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu uphakanyiswa nguYena, ulungiselelwa nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bese ebamba umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akukho muntu ongambambela umsebenzi wakhe esikhundleni sakhe—lokhu kuyimbambiswano yomuntu engegwemeke emsebenzini wobunkulunkulu. Umsebenzi owenziwa ngezinye izisebenzi noma abefundisi, wona, ungukuhambisa nje nokufeza imikhakha eminingi yezinhlelo zamabandla ngaleso naleso sikhathi, noma-ke umsebenzi olula nje wokunikeza impilo ukuze kuqhubeke ukuphila kwebandla. Lezi zisebenzi nabefundisi ababekiwe nguNkulunkulu, futhi ngeke nakancane babizwe ngokuthi bayilabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele. Bakhethwa phakathi kwamabandla futhi, emva kokuba sebeqeqeshiwe bakhuliswa isikhathi esithile, labo abafanelekile bayagcinwa, kuthi labo abangafanelekile baphindiselwe emuva lapho baphuma khona. Ngoba laba bantu bakhethwa phakathi kwamabandla, abanye baveza ubunjalo babo emva kokuba ngabaholi, abanye baze benze izinto eziningi ezimbi bagcine sebekhishiwe. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu, kwenye ingxenye, yilowo olungiswe nguNkulunkulu, futhi onezinga elithile futhi onobuntu. Usevele elungiswe futhi wapheleliswa nguMoya oNgcwele, futhi uholwa ngokugcwele nguMoya oNgcwele, aphinde, ikakhulu uma kuya emsebenzini wakhe, aqondiswe futhi alawulwe nguMoya oNgcwele—okungenxa yakho kungekho kuphambuka endleleni yokuhola aBakhethwa bakaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu impela uyawumela umsebenzi Wakhe uqobo, futhi uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe ngazo zonke izikhathi.

Okwedlule: Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo

Okulandelayo: Uma Usuqonda Iqiniso, Kufanele Ulenze

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp