Ukwazi UNkulunkulu 5

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 166)

Ingabe niyazi ukuthi yiluphi ulwazi olusemqoka ekuqondeni isimo esilungile sikaNkulunkulu? Kuningi okungashiwo ngalesi sihloko kusukela kokuhlangenwe nakho, kodwa okokuqala, kunamaphuzu ambalwa asemqoka okufanele nginitshele ngawo. Ukuze umuntu aqonde isimo esilungile sikaNkulunkulu, kufanele aqale aqonde imizwa kaNkulunkulu: lokho akuzondayo, lokho akwenyanyayo, lokho akuthandayo, lowo ambekezelelayo nanesihe kuye, nokuthi uhlobo olunjani lomuntu alunika lowo musa. Lokhu kuyiphuzu elisemqoka. Umuntu kufanele aqonde ukuthi noma uNkulunkulu angathanda kangakanani, noma angaba nomusa nothando olungakanani kubantu, uNkulunkulu akabekezeleli noyedwa ophoxa isikhundla nendawo Yakhe, noma abekezelele noyedwa ocekela phansi isithunzi Sakhe. Yize uNkulunkulu ebathanda abantu, akabatotosi. Unikeza abantu uthando Lwakhe, umusa Wakhe nokubekezela Kwakhe, kodwa akaze abatotose kukho konke; uNkulunkulu unezimiso nemikhawulo Yakhe. Kungakhathalekile ukuthi uzwe uthando lukaNkulunkulu olungakanani, kungakhathaleki ukuthi lolo thando lujule kanganani, akumele uphathe uNkulunkulu ngendlela ongaphatha ngayo omunye umuntu. Noma kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uphatha abantu ngendlela esondele kakhulu Kuyena, uma umuntu ebona uNkulunkulu njengomunye umuntu nje, sengathi ungesinye isidalwa nje, njengomngane noma into yokukhonzwa, uNkulunkulu uzofihla ubuso Bakhe kuye amshiye. Lokhu kuyisimo Sakhe, futhi abantu akufanele bayithathe ngokungacabangi le ndaba. Ngakho, sivamise ukubona amazwi afana nalawa akhulunywa uNkulunkulu ngesimo Sakhe: Akukhathalekile ukuthi zingaki izindlela ozihambile, ungakanani umsebenzi owenzile noma kungakanani ukuhlupheka okubekezelele, uma nje wona isimo sikaNkulunkulu, Yena uzokhokhela omunye nomunye kini ngalokho enikwenzile. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu uphatha abantu njengabaseduze kakhulu Naye, kodwa abantu akufanele baphathe uNkulunkulu njengomngani noma isihlobo. Ungambizi uNkulunkulu “ngomngani” wakho. Noma ngabe uthole uthando olungakanani Kuyena, noma ngabe ukubekezelele kangakanani, akufanele nhlobo ukuba uphathise uNkulunkulu okomngani wakho. Lesi yisimo esilungile sikaNkulunkulu. Uyakuqonda lokho? Ingabe ngidinga ukusho okuthe xaxa ngalokhu? Ingabe ninokuqonda kwangaphambili ngale ndaba? Ngokuvamile, leli yiphutha elilula abantu abalenzayo kungakhathalekile ukuthi bayaziqonda izimfundiso noma abakaze bacabange ngalolu daba ngaphambilini. Uma abantu bona uNkulunkulu, kungase kungabi ngenxa yesehlo esisodwa noma into eyodwa abayishilo, kodwa kuba ngenxa yesimo somqondo abanaso nesimo abakusona. Le yinto eyethusa kakhulu. Abanye abantu bakholwa ukuthi bayamqonda uNkulunkulu, ukuthi banokumazi okuthile, nokuthi bangenza nezinto ezizomjabulisa uNkulunkulu. Baqala bazizwe belingana noNkulunkulu nokuthi sebenze ngokuhlakanipha okuthize ukuba babe nobungani noNkulunkulu. Lezi zinhlobo zemizwa zimbi kabi. Uma ngabe awukuqondi lokhu ngokujulile—uma ngabe awukuqondi ngokucacile lokhu—kuzoba lula-ke ukona uNkulunkulu nokona isimo Sakhe esilungile. Uyakuqonda lokhu manje, akunjalo? Ingabe isimo esilungile sikaNkulunkulu asiyona ingqayizivele? Ingabe siyalingana nesimilo noma ukuziphatha komuntu? Phinde. Ngakho ungakhohlwa ukuthi noma ngabe uNkulunkulu ubaphatha kanjani abantu, noma ngabe ucabangani ngabantu, indawo, igunya nesikhundla sikaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Esintwini, uNkulunkulu uhlala eyiNkosi yazo zonke izinto futhi unguMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 167)

Indaba 1. Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya Kwelanga, Izinyoni, Nabantu

Imbewu encane yawela emhlabeni. Kwana imvula enkulu, imbewu yaqhumisa ihlumela elithambile, nezimpande zalo zangena kancane enhlabathini ngaphansi. Ihlumela lakhula laba lide, libekezelele imimoya enonya nemvula enamandla, libona ukuguquka kwezikhathi zonyaka ngenkathi inyanga ikhula futhi incipha. Ehlobo, umhlaba waletha izipho zamanzi ukuze ihlumela likwazi ukumela ukushisa okuhangulayo. Futhi, ngenxa yomhlaba, ihlumela alehlulwanga ukushisa, ngalokho lasinda ekushiseni kwehlobo. Lapho kufika ubusika, umhlaba wamboza ihlumela ngokuligona ngemfudumalo, umhlaba nehlumela kwankonkoshelana. Umhlaba wafudumeza ihlumela, ngalokho lasinda ekubandeni okubi, alaze lalinyazwa yiziphepho zasebusika nokukhithika kweqhwa. Livikelwe umhlaba, ihlumela lakhula ngesibindi futhi lijabule. Ngokondliwa umhlaba, lakhula laba lide futhi laqina. Lakhula ngokujabula, licula emvuleni, lidansa futhi lintengantenga emoyeni. Ihlumela nomhlaba kwancika okunye kokunye …

Yadlula iminyaka, ihlumela lakhula laba yisihlahla eside. Sama saqina emhlabeni, saba namagatsha amakhulu anamaqabunga angebalwe. Izimpande zesihlahla zaqhubeka zamba emhlabeni njengoba zazenzile ngaphambili, kodwa manje zangena zajula ngaphansi emhlabathini. Umhlaba, owawukade uvikele ihlumela elincane, manje wase uyisisekelo sesihlahla esinamandla.

Umsebe welanga wakhanyisa phansi esihlahleni. Isiqu sanyakaza selula izingalo zaso sadonsa ngokujulile umoya okhanyiswe yilanga. Umhlaba phansi waphefumula kanyekanye nesihlahla, nomhlaba wazizwa uvuselelekile. Khona manjalo, umoya ohelezayo wavunguza emagatsheni, isihlahla sanyakaza ngenjabulo, sigcwele amandla. Isihlahla nokukhanya kwelanga kuncike okunye kokunye …

Abantu bahlala emthunzini opholile wesihlahla futhi bathamela emoyeni onamakha amnandi. Umoya wahlanza izinhliziyo namaphaphu abo, futhi wahlanza igazi ngaphakathi kubo, nemizimba yabo yayingasakhathele futhi ingabambekile. Abantu nesihlahla kuncike okunye kokunye …

Iqulu lezinyoni ezitshiyozayo lahlala emagatsheni esihlahla. Mhlawumbe zazihlala lapho ngoba zigwema isitha esithile, noma zazihlalela ukuzalela nokukhulisa amaphuphu azo, noma mhlawumbe zazithatha nje ikhefana. Izinyoni nesihlahla kuncike okunye kokunye …

Izimpande zesihlahla, zisontekile ziphambene, zangena zajula emhlabeni. Ngesiqu saso savikela umhlaba emoyeni nasemvuleni, futhi selula amagatsha aso ukuvikela umhlaba ngaphansi kwezinyawo zaso. Isihlahla senza lokhu ngoba umhlaba wawungunina. Kuyaqinisana futhi kuncikile okunye kokunye, futhi angeke kuhlukane …

…………

Zonke izinto engisanda kukhuluma ngazo ziyinto esenike nayibona. Imbewu, ngokwesibonelo, ikhula ibe yisihlahla, nakuba ungeke ubone yonke imininingwane yenqubo, kodwa uyazi ukuthi iyenzeka, akunjalo? Uyazi futhi ngomhlaba nangokukhanya kwelanga. Umfanekiso wezinyoni zihleli esihlahleni yinto bonke abantu asebeke bayibona, akunjalo? Nesithombe sabantu bephola emthunzini wesihlahla—yinto esenike nayibona nonke, akunjalo? (Kunjalo.) Manje, muzwa muni eniwutholayo uma nibona zonke lezi zinto esithombeni esisodwa? (Umuzwa wokuzwana.) Ingabe zonke lezi zinto ezikulesi sithombe zivela kuNkulunkulu? (Yebo.) Njengoba zivela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyazi ngobugugu nokubaluleka kokuba khona kwalezi zinto ezehlukene emhlabeni. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, lapho ehlela futhi edala into ngayinye, wayenenhloso; futhi lapho edala lezo zinto, wafaka ukuphila kuleyo naleyo nto. Indawo ayidalela ukuphila kwesintu, njengoba isanda kuchazwa endabeni yethu, yindawo lapho imbewu nomhlaba kuncike kokunye, lapho umhlaba wondla imbewu, nembewu ibophezeleke emhlabeni. Lobu budlelwane bahlelwa nguNkulunkulu kwasekuqaleni kokudala Kwakhe. Isigcawu sesihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni, nabantu kuyisethulo sendawo enokuphila uNkulunkulu ayidalela isintu. Okokuqala, isihlahla asinakuwushiya umhlaba, futhi asikwazi ukuphila ngaphandle kokukhanya kwelanga. Pho, yabe iyini inhloso kaNkulunkulu ngokudala isihlahla? Singasho ukuthi kwakungukwenzela umhlaba kuphela? Singasho ukuthi kwakwenzelwa izinyoni kuphela? Singasho ukuthi kwakwenzelwa abantu kuphela? (Cha.) Buyini ubudlelwane phakathi kwakho? Ubudlelwane phakathi kwakho ukusimamisana, okunye kuncike kokunye nokungehlukaniseki. Okusho ukuthi umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kuthembela kokunye ukuze kuphile futhi kondlane. Isihlahla sivikela umhlaba, bese umhlaba wondla isihlahla; ukukhanya kwelanga kuhlinzeka isihlahla, ngenkathi isihlahla sithola umoya omusha ekukhanyeni kwelanga bese sipholisa umhlaba ekushiseni kwelanga. Ubani osizakalayo kulokhu ekugcineni? Yisintu, akunjalo? Lokhu kungesinye sezimiso eziyisisekelo sendawo isintu esiphila kuyo, esadalwa uNkulunkulu; yilokho uNkulunkulu ayekuhlosile ekuqaleni. Yize lesi kuyisithombe esilula, siyakubona kuso ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nenhloso Yakhe. Isintu singephile ngaphandle komhlaba, noma ngaphandle kwezihlahla, ingasaphathwa eyokuphila ngaphandle kwezinyoni nokukhanya kwelanga. Akunjalo? Yize kuyindaba nje, ekwethulayo kuyisilinganiso esincane sokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto nesipho Sakhe sendawo okungaphila kuyo isintu.

UNkulunkulu udalele isintu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, kanye nendawo esiphila kuyo. Okokuqala, iphuzu elisemqoka indaba ekhuluma ngalo, ukusimamisana, ukuncika kwento kwenye nokuphila ndawonye kwazo zonke izinto. Ngaphansi kwalesi simiso, indawo yokuphila abantu ivikelekile; ingaba khona futhi isimame. Ngenxa yalokhu, isintu singachuma futhi sizalane. Isithombe esisibonile besingesesihlahla, umhlaba, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kundawonye. Ingabe uNkulunkulu ubekhona kulesi sithombe? Akabonakalanga lapho, akunjalo? Kodwa umuntu uwubonile umthetho wokusimamisana nowokuthi enye into incike kwenye phakathi kwezinto ezisesigcawini; kulo mthetho umuntu ubona ubukhona nobukhosi bukaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa isimiso nomthetho onjalo ukugcina ukuphila nokuba khona kwazo zonke izinto. Ngale ndlela, uhlinzeka zonke izinto nesintu. Ingabe le ndaba ixhumene nendikimba yethu ephambili? Uma siyibuka singajulile, kubonakala kungenjalo, kodwa empeleni umthetho uNkulunkulu adala ngawo zonke izinto nokwengamela Kwakhe zonke izinto kuhlobene kakhulu nokuba Kwakhe ngumthombo wokuphila kwazo zonke izinto. La maqiniso awehlukaniseki. Manje seniqala ukufunda okuthile!

UNkulunkulu ulawula imithetho ebusa ukusebenza kwazo zonke izinto; ulawula imithetho ebusa ukuphila kwazo zonke izinto; ulawula zonke izinto, futhi uhlela ukuthi zisimamisane futhi enye incike kwenye, ukuze zingabhubhi noma zinyamalale. Umuntu angaphila ngale ndlela kuphela; angaphila ngale ndlela ngokuholwa nguNkulunkulu endaweni enjalo. UNkulunkulu uyinkosi yale mithetho yokusebenza, futhi akekho ongagxambukela kuyo, noma ongayiguqula; uNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela owazi le mithetho futhi Nguye kuphela oyiphethe. Ukuthi izihlahla zizohluma nini, lizona nini, umhlaba uzonikeza izitshalo amanzi angakanani nokudla okungakanani; amaqabunga azowa ngasiphi isikhathi sonyaka; izihlahla zizothela ngasiphi isikhathi sonyaka; umsoco ongakanani ukukhanya kwelanga okuzowunikeza izihlahla; izihlahla zizophefumulani emva kokondliwa ukukhanya kwelanga—zonke lezi zinto zahlelwa uNkulunkulu ngenkathi edala zonke izinto, njengemithetho engeke yephulwe muntu. Izinto ezadalwa nguNkulunkulu, noma ngabe ziyaphila noma, emehlweni abantu, aziphili, zisezandleni zikaNkulunkulu, lapho ezilawula futhi ezibusa khona. Akekho umuntu ongashintsha noma ephule le mithetho. Kusho ukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wanquma kungakenzeki ukuthi isihlahla ngeke sifake izimpande phansi, sihlume, futhi sikhule uma umhlaba ungekho; ukuthi uma umhlaba ubungenazo izihlahla, ubuzokoma; ukuthi isihlahla kufanele sibe yikhaya lezinyoni nendawo lapho zikhosela khona emoyeni. Singaphila yini isihlahla ngaphandle kokukhanya kwelanga? (Cha.) Futhi ngeke siphile ngomhlaba wodwa. Zonke lezi zinto zenzelwe isintu, ukuze isintu siphile. Esihlahleni, umuntu uthola umoya omusha, futhi umuntu uphila emhlabeni, ovikelwa yisihlahla. Umuntu angephile ngaphandle kokukhanya kwelanga noma izinto ezehlukene eziphilayo. Noma ngabe ubudlelwane phakathi kwalezi zinto buphithene, kufanele ukhumbule ukuthi uNkulunkulu wadala imithetho ebusa zonke izinto ukuze ziqinisane, enye incike kwenye, futhi ziphile ndawonye. Ngamanye amazwi, yonke into ayidala inosizo nokubaluleka. Ukuba uNkulunkulu wadala into engenamsebenzi nokubaluleka, uNkulunkulu wayeyoyishabalalisa. Le ngenye yezindlela uNkulunkulu azisebenzisayo ekuhlinzekeni zonke izinto. Kusho ukuthini “ukuhlinzeka” kule ndaba? Ingabe uNkulunkulu uchelela isihlahla nsuku zonke? Ingabe isihlahla sidinga ukusizwa nguNkulunkulu ukuba siphefumule? (Cha.) “Ukuhlinzeka” lapha kubhekiswe ekuphatheni kukaNkulunkulu izinto zonke ngemva kokuzidala; kwanele ukuba uNkulunkulu aziphathe emva kokumisa imithetho. Uma imbewu isitshalwe emhlabeni, isihlahla siyazikhulela ngokwaso. Izimo zokukhula kwaso zonke zidalwe nguNkulunkulu. UNkulunkulu wenze ukukhanya kwelanga, amanzi, inhlabathi, umoya nendawo ezungezile; uNkulunkulu wenza umoya, isithwathwa, iqhwa, nemvula nezikhathi ezine zonyaka. Lezi yizimo isihlahla esizidingayo ukuze sikhule, futhi lezi yizinto ezilungiswe nguNkulunkulu. Manje, ingabe uNkulunkulu ungumthombo wale ndawo yokuphila? (Yebo.) Ingabe uNkulunkulu kufanele nsuku zonke abale iqabunga ngalinye ezihlahleni? Cha! UNkulunkulu futhi akudingeki ukuba asize isihlahla ukuba siphefumule noma avuse ukukhanya kwelanga nsuku zonke ethi, “Sekuyisikhathi sokukhanya ezihlahleni manje.” Akadingi ukuthi enze njalo. Ukukhanya kwelanga kuyazikhanyela lapho sekuyisikhathi sokukhanya, njengoba kumisiwe ngumthetho; kuyavela bese kukhanya phezu kwesihlahla bese isihlahla simunca ukukhanya kwelanga lapho sidinga ukukumunca, futhi lapho kungadingeki, isihlahla sisaphila ngaphakathi kwemithetho. Ningase ningakwazi ukuchaza lesi senzeko ngokucacile, kodwa noma kunjalo siyiqiniso, elibonwa futhi livunywe yibo bonke abantu. Odinga ukukwenza, ukubona ukuthi imithetho ebusa ukuba khona kwazo zonke izinto ivela kuNkulunkulu, futhi wazi ukuthi uNkulunkulu uyinkosi phezu kokukhula nokuphila kwazo zonke izinto.

Manje, ingabe le ndaba iqukethe lokhu abantu abathi “yisingathekiso”? Ingabe ukwenza samuntu? (Cha.) Ngixoxe indaba eyiqiniso. Lonke uhlobo lokuphilayo, konke okunokuphila, kubuswa uNkulunkulu; yonke into ephilayo yafakwa ukuphila nguNkulunkulu ngenkathi eyidala; ukuphila kwayo yonke into ephilayo kuvela kuNkulunkulu futhi kulandela indlela nemithetho ekuqondisayo. Lokhu akudingi ukuthi kuguqulwe umuntu, futhi akudingi lusizo oluvela kumuntu; kungenye yezindlela uNkulunkulu ahlinzeka ngayo zonke izinto. Niyaqonda, angithi? Nicabanga ukuthi sikhona isidingo sokuthi abantu bakubone lokhu? (Yebo.) Ngakho-ke, ingabe lolu daba lumayelana nesayensi yempilo? Ingabe kuhlobene nomkhakha othile wolwazi noma umkhakha wokufunda? Asixoxi ngesayensi yempilo, futhi ngempela asenzi ucwaningo lwesayensi yempilo. Yimuphi umqondo osemqoka wenkulumo yethu? (UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto.) Niboneni phakathi kwendalo? Nike nazibona izihlahla? Nike nawubona umhlaba? (Yebo.) Nikubonile ukukhanya kwelanga, angithi? Nike nazibona izinyoni zihleli ezihlahleni? (Sizibonile.) Ingabe isintu siyakujabulela ukuhlala endaweni efana nalena? (Yebo.) Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa zonke izinto—izinto azidala—ukugcina nokuvikela ikhaya lesintu, indawo yaso yokuphila. Ngale ndlela uNkulunkulu uhlinzeka isintu nazo zonke izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 168)

Indaba 2. Intaba Enkulu, Umfudlana Omncane, Umoya Onamandla, NeGagasi Elikhulukazi

Kwakukhona umfudlana omncane ozombeleza uye le uphinde ubuye, ekugcineni ufinyelele ekuqaleni kwentaba enkulu. Intaba yayivimbe indlela yomfudlana omncane, ngakho-ke umfudlana wakhuluma nentaba ngezwi lawo elintekenteke, elincane, “Ngicela ungidlulise, umi endleleni yami futhi uvimbe indlela yami yokuya phambili.” Intaba yabe isibuza, “Uyaphi?” Umfudlana waphendula ngokuthi, “Ngifuna ikhaya lami.” Intaba yathi, “Kulungile, qhubeka ungeqe!” Kodwa ngenxa yokuthi umfudlana omncane wawuntekenteke futhi umncane kakhulu, wawungeke ukwazi ukweqa phezu kwentaba enkulu kangako. Kwafuneka ukuba uqhubeke ugelezele wedlule ekuqaleni kwentaba …

Umoya onamandla wavunguza udlula, uthwele isihlabathi nezibi uya lapho kumi khona intaba. Umoya wabhonga entabeni, “Ngidlulise!” “Uyaphi?” kwabuza intaba. Umoya wamemeza uphendula, “Ngifuna ukuya ngaleya kwentaba.” Intaba yathi, “Kulungile, uma ungedlula okhalweni lwami, ungahamba-ke!” Umoya onamandla wavunguza waya ngapha nangapha, kodwa noma usuvunguza ngamandla kangakanani, awukwazanga ukufohla phakathi nentaba. Umoya wakhathala, wama waphumula—futhi ngaleya kwentaba kwaqala ukuvunguza ihelehele lomoya, lithokozisa abantu abalapho. Lokhu kwakuyisibingelelo sentaba kubantu ...

Ogwini lolwandle, amagwebu olwandle ayegingqika kamnandi ezishayisa osebenzi olunamadwala. Ngokuphazima kweso, kwaphakama igagasi elikhulukazi labhonga liza ngasentabeni. “Suka!” kumemeza igagasi elikhulukazi. Intaba yabuza, “Uyaphi?” Igagasi elikhulukazi, lingakwazi ukuma, lamemeza, “Nginweba indawo yami! Ngifuna ukwelula izingalo zami!” Intaba yathi, “Kulungile, uma ukwazi ukudlula esiqongweni sami, ngizokudedela.” Igagasi elikhulukazi lahlehla ibangana, lase liphinda ligubha liya ngasentabeni. Kodwa noma lizama kakhulu kangakanani, alikwazanga ukudlula phezu kwentaba. Lahlehla kancane labuyela olwandle …

Izinkulungwane zeminyaka, umfudlana omncane wagobhoza kancane wazungeza lapho kuqala khona intaba. Ngokulandela indlela ekhonjwe yintaba, umfudlana omncane wakwazi ukubuyela ekhaya lawo, wahlangana nomfula, wagelezela olwandle. Ngaphansi kokunakekelwa yintaba, umfudlana omncane awuzange ulahleke. Umfudlana omncane nentabakazi kwaqinisana futhi okunye kwancika kokunye, kwasimamisana, kwavimbana, futhi kwaphila ndawonye.

Izinkulungwane zeminyaka, umoya onamandla wavunguza, njengenjwayelo. Wawusade ufika “uvakashela” intaba, ngezishwili sesihlabathi zihlangene neziphepho zawo. Wawuyisongela intaba, kodwa awuzange ukwazi ukufohla okhalweni lwayo. Umoya nentabakazi baqinisana futhi omunye wancika komunye, basimamisana, bavimbana, futhi baphila ndawonye.

Izinkulungwane zeminyaka, igagasi elikhulukazi alizange liphumule, futhi lanyathela laphikelela phambili, lilokhu landisa indawo yalo. Lalibhonga ligubhe liphindelela liqonde entabeni, kodwa intaba ayizange inyakaze nakancane. Intaba yalugada ulwandle, futhi ngale ndlela, izidalwa ezisemanzini zanda zakhula. Igagasi elikhulukazi nentabakazi kwaqinisana futhi okunye kwancika kokunye;, kwasimamisana, kwavimbana futhi kwaphila ndawonye.

Le ndaba yethu isiphelile. Okokuqala, ngitshele, ibikhuluma ngani le ndaba? Okokuqala, kwakukhona intaba enkulu, umfudlana omncane, umoya onamandla, negagasi elikhulukazi. Kwenzekani esiqeshini sokuqala, ngomfudlana omncane nentaba enkulu? Kungani ngikhethe ukukhuluma ngentaba enkulu kanye nomfudlana omncane? (Ekuvikelweni yintaba, umfudlana awuzange ulahleke. Okunye kwethembela kokunye.) Ungasho ukuthi intaba yawuvikela noma yawuvimba umfudlana omncane? (Yawuvikela.) Kodwa ayiwuvimbanga yini? Intaba nomfudlana kwabhekana; intaba yawuvikela umfudlana kodwa yawuvimba futhi. Intaba yawuvikela umfudlana omncane ngenkathi ungena emfuleni, kodwa futhi yawuvimba ukuze ungahambi lapho owawuzogelezela khona udale izikhukhula futhi ulethe inhlekelele kubantu. Ingabe lokhu akukhona lokho isiqephu ebesikhuluma ngakho? Ngokuvikela umfudlana nokuwuvimbela, intaba yaphephisa amakhaya abantu. Umfudlana omncane wabe usungena emfuleni lapho kuqala khona intaba wawusuqhubeka ugelezela olwandle. Ingabe lokhu akuwona umthetho obusa ukuba khona komfudlana? Yini eyenza ukuba umfudlana ukwazi ukungenela umfula nolwandle? Kwakungeyona intaba? Umfudlana wawuthembele ekuvikelweni yintaba nokuvinjwa yiyona. Ngakho, lokhu akulona yini iphuzu elisemqoka? Niyakubona kulokhu ukubaluleka kwezintaba emanzini? Ingabe uNkulunkulu unenhloso ngokudala zonke izintaba, ezincane nezinkulu? (Yebo.) Lesi siqephu esifushane esimayelana nomfudlana omncane nentaba enkulu, senza ukuthi sibone ukubaluleka nobumqoka bokudala kukaNkulunkulu lezo zinto ezimbili; kusikhombisa futhi ukuhlakanipha nenhloso endleleni yokubusa Kwakhe phezu kwazo. Akunjalo?

Isiqephu sesibili sendaba besikhuluma ngani? (Umoya onamandla nentaba enkulu.) Ingabe umoya uyinto enhle? (Yebo.) Hhayi njalo—ngesinye isikhathi umoya uba mkhulu kakhulu bese udala inhlekelele. Ungazizwa unjani uma umiswa emoyeni onamandla? Kuya ngokuthi unamandla kangakanani, angithi? Uma kuwumoya osezingeni lesithathu noma lesine, ungabekezeleka. Okukhulu okungenzeka nje ukuthi umuntu abe nenkinga yokuhlala evule amehlo. Kodwa-ke uma umoya uqina ube yisiphepho, ungakwazi ukumelana nawo? Ngeke ukwazi. Ngakho-ke, akulungile ukuthi abantu bathi umoya uhlala umuhle, noma ukuthi uhlala umubi ngoba kuncike emandleni awo. Manje, inamsebenzi muni intaba lapha? Ingabe umsebenzi wayo akukhona ukusefa umoya? Ngabe intaba iwunciphisa iwenze ube yini umoya onamandla? (Ihelehele.) Manje, endaweni okuhlala kuyo abantu, abantu abaningi bezwa iziphepho noma amahelehele? (Amahelehele.) Ngabe lokhu kwakungeyona enye yezinhloso zokudala kukaNkulunkulu izintaba? Kungaba njani ukuthi abantu baphile endaweni lapho kuphephuka ihlabathi ngesihluku emoyeni, lingavinjwa futhi lingasefwa? Kungenzeka ukuthi kungahlaleki endaweni ehlushwa yisihlabathi namatshe andizayo? Amatshe angashaya abantu, nesihlabathi singabaxhopha. Umoya ungabawisa noma ubaphephule. Izindlu zingadilika, futhi kwenzeke lonke uhlobo lwezinhlekelele. Nokho ngabe kukhona ukubaluleka kokuba khona komoya onamandla? Ngithe wawumubi, ngakho umuntu angase ezwe sengathi awubalulekile, kodwa ingabe kunjalo? Ngabe awunamsebenzi uma usuphenduke ihelehele? Yini abantu abayidinga kakhulu uma kuswakeme noma kushisa? Badinga ihelehele elincane elizobaphephetha kamnandi, ukubenza bavuseleleke ubapholise amakhanda, ukukhaliphisa ukucabanga kwabo, ukulungisa nokwenza ngcono isimo sengqondo. Manje, ngokwesibonelo, nonke nihlezi egumbini elinabantu abaningi nomoya ocimene—yini eniyidinga kakhulu? (Yihelehele elilula.) Ukuya endaweni enomoya ogcwele udoti nongcolile kunganciphisa ukucabanga komuntu, kwehlise ukuhamba kwegazi, futhi kuthuntubeze umqondo. Kodwa-ke, ukunyakaza nokuzungeza okuncane komoya kwenza umoya ube musha, bese abantu bezizwa bengcono kakhulu emoyeni omusha. Yize umfudlana omncane ungadala inhlekelele, nakuba umoya onamandla ungadala inhlekelele, uma nje intaba ikhona izoguqula leyo ngozi iyenze into engasiza abantu. Akunjalo?

Besikhuluma ngani isiqephu sesithathu sendaba? (Intaba enkulu negagasi elikhulukazi.) Intaba enkulu negagasi elikhulukazi. Lesi siqephu sisogwini lolwandle ekuqaleni kwentaba. Sibona intaba, amagwebu olwandle, kanye negagasi elikhulu. Iyini intaba egagasini kule ndaba? (Umvikeli nesithiyo.) Iyikho kokubili, ukuba umvikeli nesithiyo. Njengomvikeli, yenza ulwandle lunganyamalali, ukuze izidalwa ezihlala kulo zizokwanda futhi zichume. Njengesithiyo, intaba ivimba amanzi olwandle angachithekeli ngaphandle bese edala inhlekelele, enze umonakalo futhi abhidlize amakhaya abantu. Ngakho-ke singathi intaba iyikho kokubili, isivikeli nesithiyo.

Lokhu ukubaluleka kokuxhumana phakathi kwentaba enkulu nomfudlana omncane, intaba enkulu nomoya onamandla, kanye nentaba enkulu negagasi elikhulu; lokhu ukubaluleka kokuqinisana nokuvimbana, kanye nokuphila ndawonye. Lezi zinto, uNkulunkulu azidalile, zibuswa ngumthetho ekuphileni kwazo. Ngakho, yiziphi izenzo zikaNkulunkulu ozibonile kule ndaba? Ingabe uNkulunkulu uzizibe zonke izinto emva kokuzidala? Ingabe wakha imithetho futhi wakha izindlela zokusebenza kwazo zonke izinto, wase ekuziba emva kwalokho? Ingabe yikho lokho okwenzeka? (Cha.) Yini-ke eyenzeka? UNkulunkulu usalawula. Ulawula amanzi, umoya, namagagasi. Akakuvumeli ukuthi kuzenzele umathanda nje, futhi akavumi kulimaze noma kubhidlize amakhaya abantu abaphila kuwo. Ngenxa yalokhu, abantu bangaqhubeka baphile futhi bande baphinde bachume emhlabeni. Lokhu kusho ukuthi ngenkathi edala zonke izinto, uNkulunkulu wayeseyihlelile imithetho yokuphila kwazo. Ngenkathi uNkulunkulu edala into ngayinye, waqinisekisa ukuthi izoba wusizo esintwini, futhi waphinde wazilawula ukuze zingabi uhlupho noma zilethe inhlekelele esintwini. Uma bezingaphethwe nguNkulunkulu, ingabe amanzi awagelezi ngokuthanda? Ingabe umoya awuvunguzi ngokuthanda? Ingabe amanzi nomoya kuyayilandela imithetho? Ukuba uNkulunkulu ubengazilawuli bezingeke zilawulwe nayimiphi imithetho, umoya ubungavunguza kanti namanzi abezophakama ageleze yonke indawo adale izikhukhula. Ukuba igagasi beliphakeme kunentaba, ngabe ulwandle luyakwazi ukuba khona? Belungeke lube khona. Ukuba intaba ibingaphakeme njengegagasi, ulwandle belungeke lube khona, nentaba ibizolahlekelwa ukubaluleka nobumqoka bayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 169)

UNkulunkulu wadala konke okukhona, futhi uyinkosi yakho okukhona; uphethe konke futhi ukuhlinzeka konke, futhi kuzo zonke izinto, ubona futhi acubungule lonke izwi nesenzo sakho konke okukhona. UNkulunkulu uphinde abone futhi acubungule wonke amagumbi empilo yomuntu. Ngalokho, uNkulunkulu wazi ngokuphelele imininingwane yakho konke okukhona endalweni Yakhe, kusuka emsebenzini wakho, imvelo yakho, nemithetho yakho yokuphila kuze kufike ekubalulekeni kokuphila kwakho nomsebenzi wakho, konke lokhu kuyaziwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu wadala zonke izinto—nicabanga ukuthi udinga ukucwaninga imithetho ezibusayo? Ingabe uNkulunkulu udinga ukufunda ulwazi noma isayensi emayelana nomuntu ukuze afunde ngaye futhi amqonde? (Cha.) Ingabe ukhona phakathi kwesintu onemfundo nobuchwepheshe bokuqonda zonke izinto njengoba uNkulunkulu azi? Akekho. Angithi? Ingabe bakhona abafunda ngezinkanyezi noma ngempilo abayiqonda ngempela imithetho izinto eziphila futhi ezikhula ngayo? Ingabe bayakuqonda ukubaluleka kokuba khona kwento ngayinye? (Cha, abakwazi.) Lokhu kungenxa yokuthi zonke izinto zadalwa nguNkulunkulu, futhi noma abantu bangalufunda kakhulu kangakanani nanzulu kangakanani lolu lwazi, noma bangathatha isikhathi esingakanani bezama ukulufunda, ngeke bakwazi ukuqonda imfihlakalo noma inhloso yokudala kukaNkulunkulu zonke izinto. Akunjalo? Manje, njengoba sesixoxile kuze kube manje, ingabe niyezwa yini ninokuyiqonda kancane incazelo yangempela yebinzana elithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto”? (Yebo.) Ngazile ukuthi uma ngixoxa ngalesi sihloko—UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto—abantu abaningi bangashesha bacabange ngebinzana elithi “uNkulunkulu uyiqiniso, futhi uNkulunkulu usebenzisa izwi Lakhe ukusihlinzeka,” futhi bangacabangi lutho olunye olungaphezulu kwalelo zinga lomqondo. Abanye bangezwa sengathi ukusihlinzeka kukaNkulunkulu ngempilo yomuntu, ehlinzeka ngokudla nokokuphuza kwansukuzonke, nazo konke izidingo zemihla ngemihla, akuthathwa njengokuhlinzeka Kwakhe umuntu. Abekho abanye abezwa kanje? Nokho, ayicacile yini inhloso kaNkulunkulu endalweni Yakhe—ukuvumela isintu sibe khona futhi siphile ngokujwayelekile? UNkulunkulu ugcina indawo abantu abahlala kuyo futhi uhlinzeka ngazo zonke izinto ezidingwa yisintu ukuze siphile. Phezu kwalokho, uphatha aphinde abuse phezu kwazo zonke izinto. Konke lokhu kuvumela isintu ukuthi siphile, sichume futhi sande ngokujwayelekile; yile ndlela uNkulunkulu ahlinzeka ngayo yonke indalo kanye nesintu. Akulona yini iqiniso ukuthi abantu badinga ukuzibona nokuziqonda lezi zinto? Mhlawumbe abanye bangathi, “Lesi sihloko siqhele kakhulu olwazini lwethu ngoNkulunkulu wangempela uqobo Lwakhe, futhi asifuni ukukwazi lokhu ngoba asiphili ngesinkwa sodwa, kodwa kunalokho siphila ngezwi likaNkulunkulu.” Ingabe ukuqonda kanje kulungile? (Cha.) Kungani kungalungile? Ningamqonda ngokuphelele uNkulunkulu uma nazi izinto uNkulunkulu azishilo? Uma namukela kuphela umsebenzi kaNkulunkulu futhi namukela ukwahlulela nokusola Kwakhe, ningaba nokumqonda ngokuphelele uNkulunkulu? Uma wazi ingxenye encane kuphela yesimo sikaNkulunkulu, ingxenye encane yegunya likaNkulunkulu, ungathi lokhu kwanele ukuthi kukwenze uqonde uNkulunkulu? (Cha.) Izenzo zikaNkulunkulu zaqala ngokudala Kwakhe zonke izinto, futhi ziyaqhubeka namuhla—izenzo zikaNkulunkulu ziyabonakala ngazo zonke izikhathi, ngayo yonke imizuzu. Uma umuntu ekholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngenxa nje yokuthi ukhethe iqembu labantu ukuze enze umsebenzi Wakhe kulo futhi alisindise, nokuthi akukho okunye okuhlangene noNkulunkulu, igunya Lakhe, isimo Sakhe, kanye nezenzo Zakhe ngeke yini umuntu athathwe njengowazi uNkulunkulu ngeqiniso? Abantu abanalokhu okubizwa “ngolwazi lukaNkulunkulu” banokuqonda okusohlangothini olulodwa kuphela, okubenza babuke izenzo Zakhe eqenjini labantu elilodwa kuphela. Ingabe lolu ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu? Ingabe abantu abanalolu hlobo lolwazi abaphiki yini ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto nokubusa Kwakhe phezu kwazo? Abanye abantu abafuni ukubhekana naleli phuzu, esikhundleni salokho bazicabangela bodwa bethi: “Angikabuboni ubukhosi kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto. Lo mqondo uqhele kakhulu, futhi anginandaba nokuwuqonda. UNkulunkulu wenza akufunayo kanti akuhlangene nami. Ngamukela kuphela ukuholwa nguNkulunkulu nezwi Lakhe ukuze ngisindiswe futhi ngipheleliswe uNkulunkulu. Anginandana nokunye. Imithetho uNkulunkulu ayibeka ngenkathi edala zonke izinto noma nakuphi uNkulunkulu akwenzayo ukuze ahlinzeke zonke izinto nesintu akuhlangene nami.” Ukukhuluma okunjani lokhu? Ingabe akusona isenzo sokuhlubuka? Ingabe bakhona phakathi kwenu abanolwazi olunje? Ngiyazi, ngisho ningashongo, ukuthi baningi kakhulu kinina abacabanga ngale ndlela. Abantu abalandela umthetho ngokungaphazami kanje babuka yonke into ngombono wabo “wokomoya”. Bafuna ukubeka umkhawulo kaNkulunkulu eBhayibhelini kuphela, babeke umkhawulo kaNkulunkulu ngamazwi awakhulumile, emqondweni wamagama ezwi elibhaliwe. Abafisi ukwazi okuningi ngoNkulunkulu futhi abafuni uNkulunkulu anake okunye ngokuthi enze ezinye izinto. Lolu hlobo lokucabanga lunobungane futhi lunenkolo ngokwedlulele. Abantu ababona kanje bangamazi yini uNkulunkulu? Kungaba nzima kakhulu ukuthi bazi uNkulunkulu. Namuhla ngixoxe izindaba ezimbili, leyo naleyo ikhuluma ngephuzu elihlukile. Lapho senizizwile lezi zindaba, ningase nizizwe zijulile noma zithanda ukungabambeki futhi kunzima ukuziqonda nokuzizwisisa. Kungase kube nzima ukuzixhumanisa nezenzo zikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kodwa-ke, zonke izenzo zikaNkulunkulu nakho konke akwenzile endalweni naphakathi kwesintu kumele kwaziwe, ngokucacile nangokunembayo, yiwo wonke umuntu, nawo wonke umuntu ofuna ukwazi uNkulunkulu. Lolu lwazi luzokunika isiqiniseko sokukholwa ekubeni khona ngempela kukaNkulunkulu. Kuzophinda kukunike ulwazi oluqondile ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu, amandla Akhe, nendlela ahlinzeka ngayo zonke izinto. Kuzokunika ithuba lokuthi ukuqonde ngokucacile ukuba khona ngempela kukaNkulunkulu nokuthi ubone ukuthi akuyona indaba eqanjwe, akuyona inganekwane, akuyona into engacacile, akuwona umbono wokucwaninga, futhi nakanjani akulona uhlobo lokududuza umoya, kodwa ubukhona bangempela. Ngaphezu kwalokho, kuzovumela abantu ukuba bazi ukuthi uNkulunkulu uhlala ehlinzeka yonke indalo nesintu; uNkulunkulu ukwenza lokhu ngendlela Yakhe nangokwesigqi Sakhe. Ngakho-ke, kungenxa yokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto wase ezinika imithetho Yakhe okwenza zikwazi, ngokuzinqumela Kwakhe, ukwenza imisebenzi ezibekelwe yona, zigcwalise okuyizibophezelo zazo, ziphinde zibambe iqhaza lazo; ngaphansi kokunqunyelwa Nguye, into ngayinye inomsebenzi wayo ekusizeni isintu, nomkhathi nendawo umuntu ahlala kuyo. Ukube uNkulunkulu akazange enze kanje, futhi isintu sasingenayo indawo enjalo yokuhlala, khona-ke ukukholwa kuNkulunkulu noma ukumlandela bekungeke kwenzeke esintwini; bekungaba ukukhuluma nje okungasho lutho. Akunjalo?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 170)

Sixoxe ngezihloko eziningi nokuqukethwe yibinzana elithi “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto,” kodwa niyazi yini ezinhliziyweni zenu ukuthi yiziphi izinto uNkulunkulu azinika isintu ngaphandle kokuninika izwi laKhe nokwenza usebenzisa wokujezisa nokwahlulela kwaKhe kinina? Abanye abantu bangathi, “uNkulunkulu unginikeza umusa nezibusiso; uyangiqondisa angiduduze, futhi uyanginakekela futhi angivikele ngayo yonke indlela okungenzeka ngayo.” Abanye bazothi, “uNkulunkulu unginikeza ukudla nokuphuzwayo nsuku zonke,” ngenkathi abanye bethi nje, “uNkulunkulu unginikeza konke.” Mayelana nalezi zinto abantu abangahlangabezana nazo empilweni yabo yemihla ngemihla, kungenzeka nonke nibe nezimpendulo zokwenzeka ekuphileni kwenu kwangempela. UNkulunkulu unikeza umuntu ngamunye izinto eziningi, nakuba lokhu esixoxa ngakho lapha kungakhawuli nje ezidingweni zabantu zansukuzonke, kodwa kuqonde ukwandisa ukubona komuntu ngamunye futhi kwenze ukuba nibone ngeso elibanzi. UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto, ukugcina kanjani ukuphila kwazo zonke izinto? Ukuze zonke izinto ziqhubeke zibe khona, yini uNkulunkulu ayifaka ezintweni zonke ukulondoloza ubukhona bazo nokuthi zigcine imithetho yobukhona bazo? Lelo iphuzu elisemqoka lalokho esixoxa ngakho namuhla. … Kodwa ngethemba ukuba nizohlanganisa isihloko nezinto engizokhuluma ngazo nezenzo zikaNkulunkulu, hhayi ukuzixhumanisa nanoma yiluphi olunye ulwazi noma nizihlanganise nanoma yimaphi amasiko noma ucwaningo lwabantu. Ngikhuluma ngoNkulunkulu kuphela nangoNkulunkulu uqobo lwaKhe. Lowo umbono waMi kinina. Niyaqonda, angithi?

UNkulunkulu unikeze isintu izinto eziningi. Ngizoqala ngokukhuluma ngalokho abantu abangakubona, okusho ukuthi, lokho abangakuzwa. Lezi yizinto abantu abangaziqonda ngaphakathi nabangazamukela. Ngakho ekuqaleni masiqale ngezwe elibonakalayo ukuxoxa ngalokho uNkulunkulu akunike isintu.

1. Umoya

Okokuqala, uNkulunkulu wadala umoya ukuze umuntu aphefumule. Umoya uyinto abantu abathintana nayo nsuku zonke futhi uyinto abantu abethembela kuyo umzuzu nomzuzu, ngisho belele. Umoya odalwe uNkulunkulu ubaluleke kakhulu esintwini: Uyingxenye ebalulekile yawo wonke umphefumulo wabo nasekuphileni ngokwakho. Le nto, eniyizwa kuphela kodwa ningayiboni, kwakuyisipho sokuqala sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Ngemva kokudala umoya, ingabe uNkulunkulu wavele wayekela nje? Esedale umoya, ngabe uNkulunkulu wakucabanga ubugqinsi bomoya? Ngabe uNkulunkulu wakucabanga okuqukethwe umoya? (Yebo.) Wayecabangani uNkulunkulu ngenkathi enza umoya? Kungani uNkulunkulu enza umoya, kanti kwabe kuyini isizathu saKhe? Abantu badinga umoya, futhi badinga ukuphefumula. Okokuqala, isisindo somoya kufanele siwalungele amaphaphu omuntu. Ingabe ukhona osaziyo isisindo somoya? Lokhu akuyona into abantu abadinga ukuyazi; asikho isidingo sokwazi lokhu. Asisidingi isibalo esinembayo mayelana nesisindo somoya, futhi ukuba nomqondo obanzi nje kulungile. UNkulunkulu wenza umoya waba nesisindo esizofanelana kakhulu namaphaphu abantu ukuba baphefumule. Okuwukuthi, abantu bazizwa bekhululekile futhi ngeke wenze umonakalo emzimbeni lapho bephefumula. Lokhu iyona nhloso ngesisindo somoya. Sizobe sesikhuluma ngokuqukethwe umoya. Okokuqala, okuqukethwe umoya akunawo ushevu ebantwini ngakho-ke angeke ulimaze iphaphu nomzimba. Kwakufanele uNkulunkulu akucabangele konke lokhu. Kwakufanele uNkulunkulu akucabangele ukuthi umoya ophefumulwa ngabantu kufanele ungene futhi uphume kahle, futhi, ngemva kokuba usungenile, izinga nenani lomoya kufanele kube ukuthi igazi nalo njengomoya ongcolile emaphashini nasemzimbeni umuncwe kahle, nokuthi futhi umoya awufanele ube nezingxenye ezinoshevu. Mayelana nalawa mazinga amabili, angithandi ukunifunza ngolwazi oluningi, kodwa kunalokho ukumane nginazise ukuthi uNkulunkulu ubenenqubo yomcabango othile engqondweni ngenkathi edala into ngayinye—ngokuseqophelweni eliphezulu. Okunye, uma kuya enanini lothuli olusemoyeni, inani lothuli, isihlabathi nokungcola emhlabeni, kanye nothuli oluvela esibhakabhakeni, uNkulunkulu wayenecebo lalezi zinto futhi, nezindlela zokuzisusa noma zokuzihlakaza. Ngenkathi kunothuli, uNkulunkulu wenze ukuba uthuli lungalimazi umzimba nokuphefumula komuntu, nokuthi izingcezwana zothuli zingaba nesilinganiso esingeke saba yingozi emzimbeni. Ingabe ukudala kukaNkulunkulu umoya akumangazi? Ingabe kwakulula njengokumane uphefumlele umoya emlonyeni waKhe? (Cha.) Ngisho nasekudaleni kwaKhe izinto ezilula kakhulu, imfihlo kaNkulunkulu, ingqondo yaKhe, imicabango yaKhe, nokuhlakanipha kwaKhe konke kuyabonakala. Ingabe uNkulunkulu akayena owokoqobo? (Yebo, unjalo.) Lokho kusho ukuthi, ngisho nasekudaleni izinto ezilula, uNkulunkulu wayecabanga ngesintu. Okokuqala, umoya ophefumulwa ngabantu uhlanzekile, okuqukethe kulungele ukuphefumulwa abantu, akunashevu futhi kanti awubalimazi abantu, nesisindo sihlelelwe ukuphefumulwa ngabantu. Lo moya abantu abawufakayo nabawukhiphayo ubalulekile emizimbeni, enyameni yabo. Ngakho abantu bangaphefumula ngokukhululeka, ngaphandle kwengcindezi noma ukukhathazeka. Bangaphefumula ngokujwayelekile. Umoya yilokho okudalwe nguNkulunkulu ekuqaleni futhi ubalulekile ekuphefumuleni kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 171)

2. Amazinga okushisa nokubanda

Into yesibili amazinga okushisa nokubanda. Wonke umuntu uyazi ukuthi ayini amazinga okushisa nokubanda. Amazinga okushisa nokubanda yinto leyo indawo efanele ukuphila abantu okumele ibe nayo. Uma amazinga okushisa ephezulu kakhulu, ake sithi uma amazinga okushisa engaphezulu kwama-degrees Celsius angama-40, lokho bekungeke yini kuqede abantu? Bekungeke yini kukhathaze kubo ukuphila? Yini engenzeka uma amazinga okushisa ephansi kakhulu, efika kuma-degrees Celsius angaphansi kwezinga-qhwa elingama-40? Abantu bebengeke bakwazi ukuwamela. Ngakho-ke, uNkulunkulu wayecophelela kakhulu ekubekeni lawa mazinga okushisa nokubanda. Amazinga okushisa lawo umzimba womuntu ongamelana nawo yilawo angaphansi kwama-degrees Celsius angama-30 ukufinyelela kwangama-40. Lawa amazinga okushisa nokubanda ayisisekelo kusukela enyakatho kuye eningizimu. Ezindaweni ezibandayo, amazinga okushisa nokubanda angehla afike cishe kuma-degrees Celsius angaphansi kwezinga-qhwa elingama-50 kuya ku-60. Indawo enjalo akuyona indawo uNkulunkulu avumela abantu ukuba bahlale kuyo. Kungani kunezindawo ezibanda kangako? Phakathi kulokhu kunokuhlakanipha nezinhloso zikaNkulunkulu. Akakuvumeli ukuba usondele eduze kwalezo zindawo. UNkulunkulu uyazivikela izindawo ezishisa kakhulu nezibanda kakhulu, ngokuthi angavumeli abantu bahlale lapho. Akuyona indawo yokuhlala isintu. Kungani avumela izindawo ezinjalo ukuba zibe khona emhlabeni? Uma uNkulunkulu ubengeke avumele abantu ukuhlala lapho noma babe khona lapho, manje kungani uNkulunkulu ezidalile? Kulokhu kunokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kusho ukuthi, amazinga okushisa ayisisekelo endawo yokuphila abantu alungiswe ngokufanele nguNkulunkulu. Kunomthetho futhi lapha. UNkulunkulu udale ezinye izinto ukuthi zikwazi ukumelana namazinga okushisa nokubanda anjalo, ukulawula la mazinga okushisa nokubanda. Yiziphi izinto ezisetshenziswayo ukugcina la mazinga okushisa nokubanda? Okokuqala, ilanga lingalethela abantu ukufudumala, kodwa abantu bangakwazi ukulimela uma lifudumele kakhulu? Ingabe ukhona ongalokotha asondele elangeni? Ingabe kukhona into emhlabeni engasondela kakhulu elangeni? (Cha.) Kungani kungenjalo? Lishisa kakhulu. Kuzoncibilika lapho kusondela kakhulu elangeni. Ngakho-ke, uNkulunkulu wenze isilinganiso esithile sebanga lelanga esiqhelile kubantu. Wenze umsebenzi othile. UNkulunkulu unendinganiso yaleli banga. Kukhona futhi nendawo engasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho. Kunezintaba zeqhwa kuphela lapho. Ingabe isintu singahlala eqhweni? Ingabe ikulungele ukuhlalwa ngabantu? (Cha.) Cha, ngakho abantu angeke baye lapho. Njengoba abantu bengayi lapho ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho, amaqhwa azolondolozeka, futhi azokwazi ukudlala indima yawo, yokulawula amazinga okushisa nokubanda. Niyathola? Uma ngabe akukho zindawo ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho futhi ilanga lihlala njalo likhanyise umhlaba, bonke abantu emhlabeni bangafa ukushisa. Ingabe uNkulunkulu usebenzisa nje lezi zinto ezimbili ukulawula amazinga okushisa nokubanda afanele ukuphila kwabantu? Cha, kukhona nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, ezinjengotshani esigangeni, izinhlobo ezahlukene zezihlahla nazo zonke izinhlobo zezitshalo emahlathini ezidonsa ukushisa kwelanga futhi, lapho zenza lokho, zehlise amandla elanga okufudumala ngendlela elawula amazinga okushisa nokubanda endaweni isintu esihlala kuyona. Kukhona nemithombo yamanzi, njengemifula namachibi. Indawo yemifula namachibi akuyona into enganqunywa nayinoma ngubani. Akekho ongalawula ukuthi angakanani amanzi asemhlabeni, lapho amanzi agelezela khona, indlela agelezela kuyo, umthamo wamanzi, noma isivinini agijima ngaso? UNkulunkulu kuphela owaziyo. Le mithombo eyehlukene yamanzi, kuhlanganise namanzi angaphansi komhlaba nemifula namachibi angaphezu komhlaba lawo abantu abangawabona, angalawula amazinga okushisa nokubanda alapho abantu bahlala khona. Ngaphezu kwalokho, kunezinhlobo eziningi zokwakheka kokuma kwezwe, njengezintaba, amathafa, izigodi namaxhaphozi; Lokhu kwakheka kokuma kwezwe okwahlukene nezindawo nobukhulu bakho konke kubamba iqhaza ukulawula amazinga okushisa nokubanda. Ngokwesibonelo, uma intaba inobubanzi bamakhilomitha ayikhulu, lawo makhilomitha ayikhulu azonikela ngokubaluleka okulingana namakhilomitha ayikhulu. Ukuthi zingaki nje izintaba eziwukhahlamba ezinjalo nezigodi uNkulunkulu azidalile emhlabeni, lokhu yinto uNkulunkulu ayicabangisisile. Ngamanye amazwi, kukho konke okukhona okudalwe nguNkulunkulu kunenjongo ethile, kanti futhi kuqukethe ukuhlakanipha namasu kaNkulunkulu. Ake sithi, ngokwesibonelo, amahlathi nazo zonke izinhlobo zezimila—ibanga kanye nobukhulu bendawo lapho zihlala futhi zikhula khona ngeke kulawulwe umuntu, futhi umuntu akanalo izwi lokugcina kulezi zinto. Ukuthi zimunca amanzi angakanani, ukuthi zidonsa amandla angakanani okushisa elangeni nakho kungelawulwe yinoma yimuphi umuntu. Zonke lezi zinto zisendaweni lapho zahlelwa khona uNkulunkulu ngenkathi edala zonke izinto.

Kungenxa yokuhlela kungokucophelela, ukucabanga, nangamalungiselelo kaNkulunkulu kuphela kuzo zonke izinto umuntu angahlala endaweni enamazinga afanele kangaka okushisa nokubanda. Ngakho-ke, yonke into umuntu ayibonayo ngamehlo akhe, njengelanga, izindawo ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho abantu abahlala bezwa ngazo, kanye nezinto ezahlukene eziphila ngaphezulu nangaphansi komhlaba kanye nasemanzini, nezindawo zamahlathi nezinye izinhlobo zezimila, nemithombo yamanzi, izinhlobonhlobo zamachibi, ubungako bamanzi asolwandle namanzi ahlanzekile akhona, kanye nezindawo zokuma kwezwe ezahlukene—uNkulunkulu usebenzisa lezi zinto ukugcina amazinga okushisa nokubanda afanele ukuze abantu baphile. Lokhu kungokwempela. Kungenxa yokucabangela kukaNkulunkulu kuphela ukuthi umuntu angaphila endaweni enalawo mazinga okushisa nokubanda afanele. Angeke kubande kakhulu noma kushise kakhulu: Izindawo ezishisa kakhulu lapho amazinga okushisa edlula lokho umzimba womuntu ongakumela azilungiselelwe wena uNkulunkulu. Izindawo ezibanda kakhulu lapho amazinga okushisa nokubanda ephansi kakhulu; izindawo, lapho kungathi abantu uma befika khona, zibenze babe yiqhwa emizuzwini nje embalwa baze bangakwazi nokukhuluma, ubuchopho babo bungaba yiqhwa, ngeke bakwazi ukucabanga futhi bangaphelelwa umoya masinyane—izindawo ezinjalo azilungiselelwanga isintu nguNkulunkulu. Noma ngabe yiluphi ucwaningo abantu abafuna ukulwenza, noma ngabe bafuna ukuqamba kabusha noma bafuna ukuveza imikhawulo ethize—noma ngabe yini abantu abayicabangayo, angeke bakwazi ukweqa imikhawulo yalokho umzimba womuntu omiselwe ukukumela. Angeke bakwazi ukususa le mikhawulo uNkulunkulu ayidalele umuntu. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu adala abantu, futhi uNkulunkulu wazi kangcono ukuthi yimaphi amazinga okushisa umzimba womuntu ongamelana nawo. Kodwa abantu ngokwabo abazi. Kungani ngithi abantu abazi? Yiziphi izinto eziwubuwula ezenziwe ngabantu? Akuzange yini kube khona idlanzana labantu abahlala befuna ukuya ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNyakatho nangaseNingizimu? Abantu abanjalo yilokhu bahlala befuna ukuya kulezo ndawo ukuze bahlale endawenikulowo mhlaba, ukuze bazinze lapho. Kuyoba yisenzo esingenangqondo. Ngisho ngabe uwacwaninge kahle amachopho omhlaba, bese kwenzekani-ke? Noma ungawamela amazinga okushisa nokubanda, futhi ukwazi ukuphila lapho, kungasihlomulisa yini isintu ngandlela thize uma “ungenza ngcono” isimo samanje sokuphila kwechopho laseNingizimu nelaseNyakatho? Isintu sinendawo esingaphila kuyona, nokho abantu abahlali lapho ngokuthula nangokuthobeka, kodwa kunalokho, bayaphikelela ekuyeni ezindaweni abangeke baphile kuzo. Kusho ukuthini lokhu? Badiniwe ukuhlala kula mazinga okushisa nokubanda afanele. Bajabulela izibusiso eziningi. Ngaphandle kwalokhu, le ndawo ejwayelekile yokuhlala yonakaliswe impela yisintu, bangavele nje baye endaweni esekugcineni komhlaba eseNingizimu neseNyakatho ukudala omunye umonakalo noma ukuzibandakanya kwesinye “isenzo,” ukuze babe “amavulandlela” athize. Ingabe akubona ubuwula lobu? Lokho kusho ukuthi, ngaphansi kobuholi bukakhokho waso uSathane, lesi sintu siyaqhubeka nokwenza izinto ezingenangqondo enye emva kwenye, ngokungakhathali nangokunganakile sibhubhisa ikhaya elihle uNkulunkulu alidalele isintu. Lokhu yilokho okwenziwe uSathane. Ngaphezu kwalokho, lapho bebona ukuthi ukuphila kwesintu emhlabeni kusengozini encane, abantu abaningana bafuna ukuthola izindlela zokuyohlala enyangeni, ukuthola indlela yokuya beyobona ukuthi bangahlala yini lapho. Ekugcineni, umoya-mpilo awukho enyangeni. Ingabe abantu bangaphila ngaphandle komoya-mpilo? Njengoba inyanga ingenawo umoya-mpilo, akuyona indawo abantu abangahlala kuyo, kodwa abantu balokhu befuna ukuya lapho. Kuyini lokhu? Ukuzibulala, angithi? Indawo engenawo umoya, futhi namazinga okushisa nokubanda awafanele ukuphila komuntu, ngakho ayilungiselelwanga abantu nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 172)

3. Umsindo

Iyiphi into yesithathu? Lokhu futhi okunye okufanele ukuthi indawo ejwayelekile ehlala abantu ibe nakho. Kuyinto uNkulunkulu okwafuneka abhekane nayo ngenkathi edala zonke izinto. Lokhu yinto ebaluleke kakhulu kuNkulunkulu nakubo bonke abantu. Ukube uNkulunkulu akazange awuphathe, yayizoba ingqinamba enkulu ekuphileni kwabantu. Lokhu kusho ukuthi yayizoba nomthelela obalulekile emzimbeni nasempilweni yomuntu, kangangokuthi isintu besingeke sikwazi ukuphila endaweni enjalo. Kungaphinde futhi kushiwo ukuthi zonke izinto eziphilayo angeke zikwazi ukuphila endaweni enjalo. Ngakho iyini le nto? Umsindo. UNkulunkulu udale zonke izinto, futhi ukuphila kwazo zonke izinto kusezandleni zikaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, zonke izinto ziyanyakaza futhi ziyaphila. Ngamanye amazwi, ukuba khona kwento ngayinye eyadalwa uNkulunkulu kunokubaluleka nenjongo. Okusho ukuthi, zonke zinesidingo sokuba khona. Into ngayinye inokuphila emehlweni kaNkulunkulu; njengoba zonke ziphila, zizoveza imisindo. Ngokwesibonelo, umhlaba uyaphenduka zonke izikhathi, ilanga liyaphenduka zonke izikhathi, futhi nenyanga nayo iyaphenduka zonke izikhathi. Imisindo yenzeka njalo ekuqalweni nasekukhuleni nasekunyakazeni kwazo zonke izinto. Izinto emhlabeni zihlal zanda, zithuthuka futhi zinyakaza. Ngokwesibonelo, izisekelo zezintaba ziyanyakaza futhi zigudluke, ngenkathi zonke izinto eziphila ekujuleni kwezilwandle zinyakaza futhi zibhukuda zonke. Lokhu kusho ukuthi lezi zinto eziphilayo, zonke izinto emehlweni kaNkulunkulu, zonke zinyakaza zikhathi zonke, ngokujwayelekile futhi njalo. Ngakho kulethani ukwandiswa, ukuthuthukiswa nokunyakaza okusheshayo kwalezi zinto? Imisindo enamandla. Ngaphandle kwasemhlabeni, zonke izinhlobo zamaplanethi nazo zinyakaza zikhathi zonke, kanti izinto eziphilayo nokuphilayo kula maplanethi nakho kuyanda, kuyathuthuka futhi kunyakaza zikhathi zonke. Kusho ukuthi, zonke izinto eziphilayo nezingenakho ukuphila zilokhu ziqhubekela phambili emehlweni kaNkulunkulu, futhi ngesikhathi esifanayo zenza nemisindo. UNkulunkulu futhi usebenzile ngale misindo. Nifanele ukwazi isizathu sokuthi kubhekanwe nemisindo, akunjalo? Uma usondela ebhanoyini, umsindo wokuduma kwebhanoyi uzokwenzani kuwena? Izindlebe zakho zizovaleka ngokuhamba kwesikhathi. Ingabe izinhliziyo zenu ziyokwazi ukuwumela? Abanezinhliziyo ezibuthakathaka angeke bakwazi ukuwumela. Kunjalo, ngisho nalabo abanezinhliziyo eziqinile angeke bakwazi ukuwumela uma uqhubeka isikhathi eside. Okusho ukuthi, umthelela womsindo emzimbeni womuntu, noma ngabe kusezindlebeni noma enhliziyweni, ubaluleke kakhulu komunye nomunye umuntu, kanti imisindo ephezulu kakhulu izolimaza abantu. Ngakho-ke, uma uNkulunkulu ayedala zonke izinto nangemuva kokuba ziqale ukusebenza ngokujwayelekile, uNkulunkulu wafaka le misindo—imisindo yazo zonke izinto ezinyakazayo—ngokulawulwa ngendlela efanele. Lokhu kungenye yezinto ezidingekayo uNkulunkulu azicabangela ngenkathi edala indawo yokuhlala isintu.

Okokuqala, ukuphakama komkhathi ukusuka emhlabeni kuzoba nefuzela emisindweni. Futhi, ubungako bomhlaba ongenalutho, kuzolawula futhi kube nomthelela emsindweni. Bese kuba nokuhlangana kwezindawo zokuma kwezwe ezinhlobonhlobo, okuzoba nomthelela futhi nasemsindweni. Okusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa izindlela ezithize ukususa imisindo ethile, ukuze abantu baphile endaweni lapho izindlebe nezinhliziyo zabo zingamelana nayo. Kungenjalo imisindo izoletha ingqinamba enkulu ekuphileni kwesintu; izoletha inkathazo enkulu ezimpilweni zabo. Lokhu kuyoba yinkinga enkulu kubo. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu wayeqikelela ekudaleni kwaKhe umhlaba, umkhathi nezindawo zokuma kweze ezinhlobonhlobo okuhlalwa kuzona ezweni. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kukhona kukho konke lokhu. Ukuthi isintu siqonde lokhu akudingi imininingwane eminingi. Okufanele bakwazi nje ukuthi isenzo sikaNkulunkulu sikhona lapho. Manje ngitsheleni, ingabe umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawudingekile? Okusho ukuthi, ukulawula konke ukunyakaziswa komsindo ukuze agcine indawo okuphila kuyo isintu nezimpilo zaso ezijwayelekile? (Yebo.) Uma lo msebenzi ubudingeka, ngakho-ke ngokwalombono, kungashiwo ukuthi uNkulunkulu usebenzise indlela enjalo ukwenza zonke izinto? UNkulunkulu wenza isintu futhi wadala indawo yokuphila ezothile, ukuze umzimba womuntu ukwazi ukuhlala kahle endaweni enjalo ngaphandle kokuphazamiseka, nokuthi isintu sikwazi ukuba siphile ngokujwayelekile. Ingabe lokhu ngenye yezindlela uNkulunkulu asimamisa ngazo isintu? Ingabe le nto eyenziwe nguNkulunkulu yayibaluleke kakhulu? (Yebo.) Yayidingeka kakhulu. Manje nikubonga kanjani lokhu? Yize ningeke nizwe ukuthi lokhu bekuyisenzo sikaNkulunkulu, noma nazi ukuthi wakwenza kanjani ngaleso sikhathi, ingabe nisasizwa isidingo sokuba uNkulunkulu enze le nto? Niyakuzwa yini ukuhlakanipha kukaNkulunkulu noma ukunakekela nokucabanga akwenza kulokhu? (Yebo.) Ukukwazi ukuzwa lokhu nje kulungile. Kwanele. Ziningi izinto uNkulunkulu azenzile phakathi kwazo zonke izinto abantu abangeke bazizwe futhi bazibone. Inhloso yaMi yokuthi ngikusho lapha ukuninikeza ulwazi oluthile ngezenzo zikaNkulunkulu ukuze nazi uNkulunkulu. Le mikhondo inganenza ukuba nazi futhi niqonde izenzo zikaNkulunkulu kangcono.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 173)

4 Ukukhanya

Into yesine ehlobene namehlo abantu—ukukhanya. Lokhu nakho kubaluleke kakhulu. Uma ubona ukukhanya okuxhophayo, bese ukuxhopha kwalokhu kukhanya kufika ezingeni elithile, amehlo akho ngeke abone. Vele, amehlo abantu amehlo enyama. Awanakukumela ukuxhopheka. Ingabe ukhona ongagqolozela ilanga? Abanye abantu bake bazama. Ungakwazi ukulibuka ngezibuko zelanga, akunjalo? Lokho kudinga usizo lwezinsiza. Ngaphandle kwezinsiza, amehlo abantu enyama awanamandla okubheka ngqo ilanga. Nokho, uNkulunkulu wadala ilanga ukuba lilethe ukukhanya esintwini futhi wabuye wakulawula lokhu kukhanya. UNkulunkulu akazange ayeke ilanga nje futhi alizibe ngemva kokulidala. “Ubani onendaba nokuthi amehlo abantu angamelana nalo!” UNkulunkulu akenzi izinto kanjalo. Wenza izinto ngokucophelela futhi abheke zonke izinto. UNkulunkulu uphe isintu amehlo ukuze sibone, kodwa uNkulunkulu ubuye walungisa uhlelo lokukhanya abangabona phansi kwakho. Angeke kwenzeke uma kungekho kukhanya okwanele. Uma kumnyama kangangokuba abantu bangaboni izandla zabo phambi kwabo, amehlo abo azolahlekelwa ukusebenza kwawo angabi namsebenzi. Indawo ekhanya kakhulu ngeke ibekezeleke emehlweni futhi abantu ngeke bakwazi ukubona. Ngakho endaweni yokuhlala isintu, uNkulunkulu ubanikeze isilinganiso sokukhanya esanele amehlo abantu. Loku kukhanya angeke kulimaze noma kone amehlo abantu. Ngaphezu kwalokho angeke kwenze amehlo abantu alahlekelwe ukusebenza kwawo. Yingakho uNkulunkulu anezela amafu ukuzungeza ilanga nomhlaba nesisindo, somoya esikwazi ukusefa ukukhanya okungalimaza amehlo noma isikhumba sabantu. Lokhu kuyahlobana. Ngaphezu kwalokho, umbala womhlaba odalwe uNkulunkulu nawo ukhombisa ukukhanya kwelanga nazo zonke izinhlobo zokukhanya futhi kususe leyo ngxenye yokukhazimula kokukhaya okwenza amehlo abantu angakhululeki. Ngaleyo ndlela, abantu abadingi ukuhlala befake izibuko zamehlo ezimnyama ukuze bakwazi ukuhamba ngaphandle baqhubeke nezimpilo zabo. Ngaphansi kwezimo ezivamile, amehlo abantu angabona izinto endaweni yabo yokubona bangaphazanyiswa ukukhanya. Lokho kusho ukuthi ngeke kulunge uma ukukhanya kuhlaba ngokwedlulele, noma kuluvindi ngokwedlulele. Uma kuluvindi ngokwedlulele, amehlo abantu azolimala, futhi, emva kokuwasebenzisa isikhathi esifushane, azokonakala; uma kukhanya ngokweqile, amehlo abantu ngeke akwazi ukukumela. Lokhu kukhanya okufanele impela ukuthi abantu babe nakho kufanele kube okulungile ukuze amehlo abantu abone, futhi ukulimala okulethwe emehlweni omuntu ukukhanya kwehliswa nguNkulunkulu ngezindlela ezahlukene kungakhathaliseki noma ukukhanya kuletha usizo noma izingozi emehlweni abantu, kwanele ukuvumela amehlo abantu ukuba asebenze kuze kube sekugcineni kwempilo yabo. Ingabe uNkulunkulu akakucabangisisanga kahle? Kodwa uma uSathane, udeveli, enza izinto, akazicabangi lezi zinto Ukukhanya kukhanya kakhulu noma kube luvindi kakhulu. Yile ndlela uSathane enza ngayo izinto.

UNkulunkulu wenze lezi zinto kuzo zonke izingxenye zomzimba womuntu—ukubona, ukuzwa, ukunambitha, ukuphefumula, imizwa … ukukhulisa ukuvumelana nokuphila kwesintu ukuze siphile ngokuvamile nokuqhubeka nokwenzenjalo. Okusho ukuthi, indawo enjalo yokuphila edalwe uNkulunkulu iyindawo yokuphila efaneleke kakhulu futhi esiza ukuphila kwesintu. Abanye bangacabanga ukuthi lokhu akukuningi nokuthi kuvame nje kakhulu. Imisindo, ukukhanya, nomoya izinto abantu abazizwa bezalwe nazo, izinto abangazijabulela kusukela bezalwa. Kodwa lokho uNkulunkulu akwenzile ngemuva kokujabulela kwabo lezi zinto yinto okufanele bayazi futhi bayiqonde. Kungakhathaleki ukuthi uzwa sengathi kunesidingo sokuqonda noma sokwazi lezi zinto, ngamafuphi nje, ngenkathi uNkulunkulu edala lezi zinto, wasebenzisa umcabango, wayenecebo, wayenemibono ethize. Akabekanga isintu endaweni enjalo yokuphila nje, ngokunganaki noma ngaphandle kokucabanga. Ningacabanga ukuthi ngikhulume ngokuphakeme ngokwedlulele ngenye nenye yalezi zinto ezincane, kodwa ngokubona kwaMi, into ngayinye uNkulunkulu ayenzele isintu iyadingeka ukuze abantu baphile. Kunezenzo zikaNkulunkulu kulokhu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 174)

5. Ukuhamba komoya

Yini into yesihlanu? Le nto ihlobene nezinsuku zonke zawo wonke umuntu, futhi lokhu kuhlobana kuqinile. Kuyinto umzimba womuntu ongeke uphile ngaphandle kwayo kule lizwe elibonakalayo. Le nto ukuhamba komoya. “Ukuhamba komoya” yigama eliqondwa cishe yibo bonke abantu. Ngakho kuyini ukuhamba komoya? Ungasho uthi ukuhamba komoya kubuzwa ngokuthi “ukuhamba komoya.” Ukuhamba komoya umoya lowo iso lomuntu elingeke liwubone. Kubuye kube yindlela igesi ehamba ngayo. Kodwa kuyini ukuhamba komoya esikhuluma ngakho lapha? Nizoqonda uma nje ngiqeda ukukusho. Umhlaba unezintaba, izilwandle, nazo zonke izinto uma ulokhu uphenduka, futhi uma uphenduka kuba nesivinini. Noma ungeke ukuzwe ukuzungeza, ukuzungeza kwawo kukhona. Ukuzungeza kwawo kulethani? Ingabe kuba khona umoya ezindlebeni zenu uma nigijima? Uma ngabe umoya ungavela ngenkathi nigijima, kungahlala kanjani kungenamandla omoya lapho umhlaba uzungeza? Ngenkathi umhlaba uzungeza, zonke izinto ziyanyakaza. Uyanyakaza futhi uyazungeza ngesivinini esithize, uma zonke izinto emhlabeni zanda futhi zilokhu zithuthuka. Ngakho-ke, ukuhamba ngesivinini esithize kuzoletha ukuhamba komoya ngokwemvelo. Yilokho ukuhamba komoya okuyikhona. Ingabe lokhu kuhamba komoya kuzoba nomthelela emzimbeni womuntu ngezinga elithile? Uyabona, izivunguvungu zasolwandle azinamandla kangako, kodwa uma zivunguza, abantu abakwazi ukuma ndawonye futhi bakuthola kunzima nokuhamba emoyeni. Kunzima ngisho nokuthatha isinyathelo. Inamandla ngendlela yokuthi abantu bacindezeleka entweni ethile futhi bangakwazi ukunyakaza. Le enye yezindlela ukuhamba komoya okungaba nomthelela ngayo esintwini. Uma umhlaba wonke ubugcwele amathafa, bekuyoba lukhuni ngokwedlulele ukuba umzimba womuntu umele ukuhamba komoya obekuyokhandwa ukuzungeza komhlaba nokunyakaza kwazo zonke izinto ngesivinini esithile. Bekuyoba nzima kakhulu ukukumela. Uma ngabe bekunjalo, ukuhamba komoya angeke nje kulimaze abantu, kodwa kuzobhubhisa. Akekho ongaphila endaweni enjalo. Yingakho uNkulunkulu esebenzisa izindawo ezahlukene zezwe ukuxazulula ukuphephetha komoya—ezimweni ezehlukene, ukuphephetha komoya kuyehla, kuguqula indawo okuya kuyo, kuguqula isivinini sakho, kuguqule namandla akho. Yingakho abantu bebona izindawo zezwe ezehlukene, ezifana nezintaba, izintaba eziwukhahlamba, amathafa, amagquma, iziziba, izigodi, amathafa aphakeme nemifula. UNkulunkulu usebenzisa lezi zindawo zokuma kwezwe ezahlukene ukuguqula isivinini sokuhamba komoya, indlela yokuhamba kwawo kanye namandla awo esebenzisa indlela enjalo ukwehlisa noma ukuwulawula isivinini somoya, indlela yomoya namandla omoya kube okufanele ukuze abantu babe nendawo ejwayelekile yokuhlala. Kudingekile ukwenza lokho? (Yebo.) Ukwenza into efana nale kubukeka kunzima kubantu, kodwa kulula kuNkulunkulu ngoba ubona zonke izinto. Ukuthi yeNa adale indawo enokuhamba komoya okufanele kwesintu kulula kakhulu, kulula impela. Ngakho-ke, endaweni enjalo edalwe uNkulunkulu, into nento phakathi kwazo zonke izinto idingeka impela. Kubalulekile futhi kunesidingo konke ukuba khona kwazo. Noma kunjalo, lesi simiso asiqondwa nguSathane noma isintu esikhohlakalisiwe. Bahlala bebhubhisa bethuthukisa, bephupha ize lokuguqula izintaba zibe yindawo ephansi, bagcwalise izigodi, kanye nokwakha izitezi ezinde endaweni eyithafa ukuze benze amahlathi abiyelwe ngokhonkolo. Kuyisifiso sikaNkulunkulu ukuthi isintu sihlale ngenjabulo, sikhule ngenjabulo, sichithe usuku nosuku sijabulile endaweni efanele impela ayilungiselele sona. Yingakho uNkulunkulu engazange abe budedengu uma kuziwa ekuphathweni kwendawo yokuhlala isintu. Ukusuka emazingeni okushisa nokubanda kuye emoyeni, ukusuka emsindweni kuye ekukhanyeni, uNkulunkulu wenze amacebo nokuhlela okumangalisayo, ukuze imizimba yesintu nendawo yokuhlala ingaphazanyiswa yinoma yiziphi izimo zemvelo, futhi kunalokho isintu sikwazi ukuphila sande kahle, futhi sihlale nazo zonke izinto kahle nangokuzwana nangokuhlalisana kahle. Lokhu konke kwenziwe uNkulunkulu kuzo zonke izinto nasesintwini.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 175)

Niyawuzwa manje umehluko omkhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu? Ubani inkosi yazo zonke izinto? Ingabe umuntu? (Cha). Khona-ke yimuphi umehluko phakathi kokuthi uNkulunkulu nabantu basebenza kanjani ngazo zonke izinto? (UNkulunkulu ubusa phezu kwezinto zonke abuye azihlele, kuyilapho umuntu ejabulela zonke izinto). Niyavumelana yini nalawa mazwi? Umehluko omkhulu kakhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto futhi wenza zonke izinto. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke, bese isintu siyakujabulela konke, ngenkathi uNkulunkulu ezenza. Okusho ukuthi, abantu bajabulela izinto uma bemukela impilo uNkulunkulu ayinikeze kuzo zonke izinto. Isintu sijabulela umphumela wokudala kukaNkulunkulu zonke izinto njengoba uNkulunkulu eyiNkosi. Ngokubukeka kwezinto zonke yini umehluko phakathi kukaNkulunkulu nesintu? UNkulunkulu angabona ngokucacile ukukhula kwamaphethini kwazo zonke izinto, alawule, engamele amaphethini nokukhula kwazo zonke izinto. Okusho ukuthi, zonke izinto zisemehlweni kaNkulunkulu futhi angakwazi ukuzihlola. Ingabe isintu singabona zonke izinto? Lokho isintu esikubonayo kunomkhawulo.—kumane kube yilokho abakubona phambi kwamehlo abo. Uma ucaca le ntaba okubonayo yile ntaba. Angeke ubone okungale kolunye uhlangothi lwentaba. Uma uya ebhishi ubona lolu hlangothi lolwandle kodwa awazi ukuthi olunye uhlangothi lolwandle lunjani. Uma ufika kuleli hlathi uzobona izitshalo phambi kwamehlo akho nezikuzungezile kodwa angeke ubone okuphambili kakhulu. Abantu abakwazi ukubona izindawo eziphakeme, ezikude nezijulile. Abakubonayo kuphela yilokho okuphambi kwabo nalokho okufinyelela amehlo abo kukho. Noma ngabe abantu bayayazi iphethini yezinkathi ezine zonyaka namaphethini okukhula azo zonke izinto, abakwazi ukuphatha noma ukwengamela zonke izinto. Ngakolunye uhlangothi, indlela uNkulunkulu abona ngayo zonke izinto kufana nendlela uNkulunkulu azobheka ngayo umshini lowo awakhe ngokwaKhe, uzozazi kahle kakhulu zonke izingxenye. Ukuthi iyini imigomo yawo, ayini amaphethini awo futhi inhloso yawo yona iyini–uNkulunkulu uzazi kahle zonke lezi zinto ngokukhanyayo nangokucacile. Yingakho uNkulunkulu enguNkulunkulu, umuntu engumuntu! Yize umuntu engaze acwaninge ngesayensi nemithetho yazo zonke izinto, kusemkhawulweni othize nje lapho uNkulunkulu elawula zonke izinto. Kumuntu, lokho akunamkhawulo. Uma abantu becwaninga okuncane kakhulu okwenziwe nguNkulunkulu, bangachitha impilo yabo yonke becwaninga ngaphandle kokuthola noma yimiphi imiphumela yeqiniso. Yingakho usebenzisa ulwazi nalokho okufundile ukufunda ngoNkulunkulu, ngeke ukwazi ukumazi nokumqonda uNkulunkulu. Kodwa uma usebenzisa indlela yokufuna iqiniso nokufuna uNkulunkulu, bese ubheka uNkulunkulu ngendlela yokuthi ufuna ukumazi uNkulunkulu, ngolunye usuku uzovuma ukuthi izenzo nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kusendaweni yonke, futhi uzokwazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto nomthombo wokuphila wazo zonke izinto. Uma kwanda ulwazi olunjalo, yilapho uzoqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto. Zonke izinto kanye nayo yonke into, kuhlanganise nani, uqhubeka uthola ukunakwa uNkulunkulu. Uzokwazi futhi ukuzwa ngokucacile ukuthi kulo mhlaba futhi naphakathi kwalesi sintu, akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu ongaba namandla nokufaneleka okungaka ukubusa, ukuphatha nokulondoza ubukhona bezinto zonke. Uma uzuza ukuqonda okunjalo, uzovuma ngempela ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wakho. Uma ufika kuleli zinga, sewumamukele ngempela uNkulunkulu futhi wamvumela ukuthi abe nguNkulunkulu wakho neNkosi yakho. Uma sewunokuqonda okunjalo nempilo yakho yafika kulelo zinga, uNkulunkulu angeke esakuvivinya noma akwahlulele, noma akubekele noma yiziphi izimfuneko, ngoba uyamqonda uNkulunkulu, wazi inhliziyo yaKhe, futhi umamukele ngeqiniso enhliziyweni yakho. Lesi yisizathu esibalulekile sokukhuluma ngalezi zihloko zokubusa nokuphatha kukaNkulunkulu izinto zonke. Ukunikeza abantu ulwazi nokuqonda okuthe xaxa; hhayi nje ukukwenza nivume, kodwa ukukunikeza ulwazi nokuqonda okusebenzisekayo kwezenzo zikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 176)

Okusanhlamvu, izithelo nemifino, kanye nazo zonke izinhlobo zamantongomane konke kungukudla kwabantu abadla imifino kuphela. Yize kungukudla kwabadla imifino kuphela, kunezakhamzimba ezanele ukwanelisa izidingo zomzimba womuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu akazange athi: “Ukunikeza isintu lokhu kwanele. Isintu singazidla lezi zinto.” UNkulunkulu akagcinanga lapho kodwa kunalokho walungiselela izinto ezinambitheka kamnandi kakhulu esintwini. Yiziphi lezi zinto? Izinhlobo eziningi ezahlukene zenyama nezinhlanzi iningi lenu elizibonayo futhi lizidle. Kukhona izinhlobo eziningi zenyama nezinhlanzi uNkulunkulu azilungiselele umuntu. Izinhlanzi zonke eziphila emanzini; isimo senyama yazo sehlukile kunenyama ekhula emhlabeni kanti futhi inganikeza isintu izakhamzimba ezihlukene. Izakhi zenhlanzi ziyakwazi nokuguqula ukubanda nokushisa emizimbeni yabantu, ngakho-ke inosizo kakhulu esintwini. Kodwa okunambitheka kamnandi akumele kudliwe kakhulu. Kusasebenza isisho esifanayo: UNkulunkulu ubeka phezu kwesintu inani elifanele ngesikhathi esifanele, ukuze abantu bezokwazi ukuzithokozela kahle lezi zinto ngenkathi efanele nangesikhathi sazo. Inyama yenkukhu neyezinyoni ezifuywayo ihlanganisani? Inkukhu, izigwaca, ijuba, njll. Abantu abaningi badla nedada nehansi. Nakuba uNkulunkulu alungisa lezi zinhlobo zenyama, wabeka izimfuno ezithile kubantu Bakhe abakhethiweyo futhi wabeka imikhawulo eqondile eNkathini Yomthetho. Manje lolu hlobo seluncike kumuntu ngamunye ngokunambitha kwakhe nangokuqonda kwakhe. Lezi zinhlobo eziningi ezihlukene zenyama zinikeza umzimba womuntu izakhamzimba ezehlukene, ezibuyisa amaphrotheni kanye nokusansimbi, kondle igazi, kuqinise imisipha namathambo, kunikeze namandla amaningi. Kungakhathaliseki ukuthi basebenzisa ziphi izindlela zokupheka nokuzidla lezi zinto, kafushane, lezi zinto ngakolunye uhlangothi zisiza abantu benze ngcono ubumnandi kanye nothando lokuzidla, kuthi kolunye uhlangothi kusuthise izisu zabo. Into ebaluleke kakhulu ukuthi zinikeza umzimba womuntu izakhamzimba ozidinga nsuku zonke. Lena yimicabango uNkulunkulu ayenayo ngenkathi elungiselela isintu ukudla. Kukhona ukudla kwabantu abadla imifino kuphela kanjalo nokwabantu abadla inyama—ingabe lokho akukona ukuceba nenala? Kodwa abantu kumele baqonde izinhloso zokuqala zikaNkulunkulu ngenkathi elungiselela isintu zonke izinhlobo zokudla. Ingabe wayenzela ukuthi isintu sithokozele lokhu kudla ngobugovu? Kwenzekani lapho umuntu ebambeke ekuzameni ukwenelisa lezi zinkanulo eziphathekayo? Ngeke azondle ngokweqile? Ngabe ukudla okweqile emzimbeni akuhluphi umzimba ngezindlela eziningi? (Yebo.) Yingakho uNkulunkulu ebeka inani elifanele ngesikhathi esifanele bese abantu bethokozela ukudla okuhlukile ngokwesikhathi nezinkathi ezehlukile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuphila ngenkathi yasehlobo eshisa kakhulu, abantu bazobamba ukushisa okuthile, ukoma okudala izifo kanye nokuswakama emizimbeni. Uma ikwindla lifika, kuzovuthwa izinhlobo eziningi zezithelo, bese kuthi uma abantu bedla izithelo ezithile ukuswakama kwabo kuzosuka. Ngesikhathi esifanayo, izinkomo nezimvu zizobe sezikhule kakhulu, ngakho-ke abantu kumele badle inyama ukuze bondleke. Ngemva kokudla izinhlobo eziningi zenyama, imizimba yabantu izoba namandla ifudumale ikwazi ukumelana nokubanda kwasebusika, ngalokho bazokwazi ukuthi badlule ngokuthula esikhathini sasebusika. Ukuthi yisiphi isikhathi sokulungiselela isintu izinto, ukuthi isiphi isikhathi sokuthi kukhule ini, kuthele izithelo kuvuthwe—konke lokhu kulawulwa futhi kuphothulwe uNkulunkulu ngokulinganisa okukhulu. Lesi yisihloko esimayelana nokuthi “uNkulunnkulu wakulungisa kanjani ukudla enzela ukuphila kwansuku zonke komuntu.” Ngaphandle kwazo zonke izinhlobo zokudla, uNkulunkulu waphinda wenzela isintu imithombo yamanzi. Abantu kumele baphuze amanzi uma beqeda ukudla. Ingabe ukudla isithelo kwanele? Abantu ngeke bakwazi ukudla izithelo kuphela, ngale kwalokho, ngezinye izinkathi zonyaka azikho izithelo. Pho inkinga yesintu yamanzi ingasombululeka kanjani? Ngokuthi uNkulunkulu alungiselele imithombo eminingi yamanzi phezu komhlaba nangaphansi komhlaba, okubandakanya amachibi, imifula, kanye neziphethu. Le mithombo yamanzi kungaphuzwa kuyo uma amanzi akhona enganukubezekile, noma engasetshenzisiwe ngabantu noma engonakalisiwe. Lokho kusho ukuthi, mayelana nemithombo yokudla kwezimpilo zemizimba yabantu, uNkulunkulu wenze amalungiselelo aqonde ngqo, nafanele, ukuze izimpilo zabantu zicebe futhi zibe nenala zingasweli lutho. Lokhu yinto abantu abayizwayo nabayibonayo.

Phezu kwalokho, kuzo zonke izinto, uNkulunkulu wadala ezinye izitshalo, izilwane, nalo lonke uhlobo lwamakhambi aqondiswe ekwelapheni ukulimala noma ukwelapha izifo emzimbeni womuntu. Wenzani, ngokwesibonelo, uma usha noma ushiswa amanzi abilayo? Ingabe ungakuwasha ngamanzi? Ingabe ungamane uthathe isiqephu sendwangu noma kuphi usithandele khona? Kungase kugcwale ubomvu noma ungenwe amagciwane ngaleyo ndlela. Ngokwesibonelo, uma ungenwa umkhuhlane, ungenwa amakhaza, ulimala ngesikhathi wenza umsebenzi, uma ugula uphethwe isisu ngoba hleze udle into engalungile, noma ube nezifo ezithile ngenxa yomkhuba wokuphila noma unezinkinga emoyeni, ezifana nezifo zemithambo, izimo eziphathelene nengqondo noma izifo zezitho zomzimba ezingaphakathi—kukhona izitshalo zokwelapha lezi zinto. Kukhona izitshalo ezithuthukisa ukuhamba kwegazi ukuze kusuke ukuma kwegazi, kusuke izinhlungu, zimise ukopha, zinike izinzwa, zisize abantu babe nesikhumba esijwayelekile, zisuse ukuma kwegazi emzimbeni, nezisusa ukungcola emzimbeni. Kafushane, zonke zingasetshenziswa nsuku zonke. Ziwusizo kubantu kanti zilungiswe nguNkulunkulu uma kwenzeka umzimba womuntu uzidinga. Ezinye zazo zavunyelwa nguNkulunkulu ukuthi zitholwe umuntu engaqondile, kanti ezinye zatholwa ngabantu uNkulunkulu abakhethela ukuthi bazithole noma ngenxa yezimo ezikhethekile azihlela. Ngemva kokuzithola, isintu sazidlulisela kwabanye, futhi abantu abaningi bazi ngazo. Ngale ndlela, ukudala kukaNkulunkulu lezi zitshalo kubalulekile futhi kunenjongo ethile. Kafushane, zonke lezi zinto zivela kuNkulunkulu futhi zalungiselelwa futhi zatshalwa ngenkathi edala indawo yokuhlala isintu. Zonke lezi zinto zinesidingo esikhulu. Ngabe izidingo zikaNkulunkulu zazicatshangwe kangcono kunezesintu? Uma ubona konke lokhu uNkulunkulu akwenzile, ingabe uyakwazi ukuzwa uhlangothi lukaNkulunkulu olubonakalayo? UNkulunkulu wasebenza emfihlakalweni. Abantu bengakafiki kulo mhlaba, ngaphambi kokuthi ahlangane nesintu, uNkulunkulu wayesevele ekudalile konke lokhu. Yonke into ayenza wayenzela isintu, enzela ukuphila kwabo, nokucabangela ubukhona besintu, ukuze isintu siphile ngenjabulo kulo mhlaba ocebile nonenala uNkulunkulu awulungiselele bona, bangakhathazeki ngokudla noma ngezingubo zokugqoka, bangasweli lutho. Isintu siyaqhubeka nokwanda kanye nokuphila endaweni efana nale.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 177)

Ekuqaleni, sikhulume ngendawo yokuhlala isintu nokuthi yini uNkulunkuu ayenza, akulungisa, nabhekana nakho kule ndawo, kanjalo nobudlelwano phakathi kwazo zonke izinto uNkulunkulu azilungiselele isintu nokuthi uNkulunkulu ubusingathe kanjani lobu budlelwano ukuze avimbele zonke izinto ukuthi zingalimazi isintu. UNkulunkulu uphinde wasombulula imithelela engemihle esimweni sesintu elethwe yizo zonke izinto, wavumela zonke izinto ukuthi zikhulise ukusebenza kwazo, futhi watholela isintu indawo efanele ukuhlala, nazo zonke izinto eziwusizo, okwenza isintu sikwazi ukumelana nendawo enjalo siphinde siqhubeke sizalane siqhubeke nempilo njengenjwayelo. Okulandelayo kwaba ukudla okudingwa imizimba yabantu—ukudla kwansuku zonke nokokuphuza. Lokhu nakho yisimo esidingekayo ukuze isintu siphile. Okungukuthi, umzimba womuntu angeke uphile ngokuphefumula nje kuphela, ngokukhanya kwelanga noma umoya kuphela, noma ngamazinga okushisa nokubanda afanele kuphela. Badinga ukuthi badle basuthe. Lezi zinto zokugcwalisa izisu zabo nazo zilungiselelwe uNkulunkulu ezilungiselela isintu—lona ngumthombo wokudla kwesintu. Ngemva kokubona le mikhiqizo enothile neyinala—imithombo yokudla nokokuphuza kwesintu—ingabe ungasho ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokudla kwesintu kanye nazo zonke izinto? Ukube uNkulunkulu wayedale izihlahla notshani noma kwamane kwaba yizinto eziphilayo ezahlukene ngenkathi edala zonke izinto, uma lezo zinto nezitshalo ezahlukahlukene eziphilayo zonke zazenzelwe izinkomo nezimvu, noma amadube, izinyamazane kanye nezinye izinhlobo zezilwane, ngokwesibonelo, amabhubesi adle izinto ezifana namadube nezinyamazane, izingwe zidle izinto ezifana nezimvu nezingulube—kodwa kungekho nokukodwa okulungele ukuthi kudliwe abantu, kwakuyosebenza lokho? Kwakungeke. Isintu besingeke sikwazi ukuqhubeka siphile. Bekuyokwenzekani uma abantu bebedla amacembe ezihlahla kuphela? Bekungasebenza lokho? Ngabe abantu bebengakwazi ukudla utshani obulungiselwe izimvu? Kungalunga uma bengakuzama kancane, kodwa uma beqhubeka ukukudla isikhathi eside, izisu zabantu bezingeke zikumele futhi ngeke bakwazi ukumelana nakho isikhathi eside. Futhi kukhona nezinye izinto ezingadliwa yizilwane, kodwa uma abantu bezidla bangangenwa ubuthi. Kukhona izinto ezinobuthi ezingadliwa yizilwane kodwa zona zingalimali, kodwa abantu bona ngeke bakwenze lokho okufanayo. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu wadala abantu, ngakho-ke uNkulunkulu uyazi kangcono imigomo nesakhiwo somzimba womuntu nokuthi abantu badingani. UNkulunkulu uzazi kahle izakhi zomzimba nokuqukethwe yiwo, okudingayo, nokuthi izitho zangaphakathi zomzimba womuntu zisebenza, zibamba, zibulala, futhi zigaya kanjani. Abantu abacacelwa yilokhu yingakho kwesinye isikhathi bedla baphinde bafake izithasiselo zokudla ngokunganaki. Bafaka izithasiselo zokudla kakhulu bagcine sebebangela ukungalingani emzimbeni. Uma udla futhi uthokozela lezi zinto uNkulunkulu akulungiselele zona ngokujwayelekile, angeke kube khona okungahambi kahle ngani. Yize noma kwesinye isikhathi uzizwa ungekho esimweni esikahle futhi unegazi elimile, akunandaba. Kumele nje udle uhlobo oluthile lwesitshalo bese ukuma kwegazi kuphela. UNkulunkulu uzilungisile zonke lezi zinto. Ngakho, emehlweni kaNkulunkulu, isintu singaphezulu kwazo zonke izinto eziphilayo. UNkulunkulu walungisa izindawo zokuphila zazo zonke izitshalo eziphilayo walungisa nokudla nezindawo zokuphila zazo zonke izilwane, kodwa izidingo zesintu kuphela ezinzima futhi ezingamelani nokunganakekelwa. Ngale kwalokho, isintu angeke sikwazi ukuqhubeka sizalane futhi siphile ngokujwayelekile. UNkulunkulu ukwazi kahle lokhu enhliziyweni yaKhe. Ngenkathi uNkulunkulu enza le nto, wabeka kuyo ukubaluleka okungaphezulu kwakho konke okunye. Hleze awukwazi ukuzwa ukubaluleka kwezinye izinto ezingabalulekile ozibonayo nozithokozelayo noma into oyizwa sengathi uzalwe nayo futhi ongayithokozela, kodwa ngasese, noma mhlawumbe kudala, uNkulunkulu wakulungiselela yona ngokuhlakanipha Kwakhe. UNkulunkulu futhi uphinde wasombulula ngeqophelo eliphezulu elingenzeka konke okungaba nomthelela omubi okungahambelani nesintu nokungalimaza umzimba womuntu. Kucacisani lokhu? Akucacisa yini isimo sikaNkulunkulu esintwini ngenkathi esidala ngalesi sikhathi? Kwakuyisiphi leso simo? Isimo sikaNkulunkulu sasinzima futhi silukhuni, futhi akazange abekezelele ukugxambukela kwanoma yini noma kwanoma yiziphi izimo noma amandla esitha ngaphandle kukaNkulunkulu. Kulokhu, uyasibona isimo sikaNkulunkulu ngenkathi edala isintu nasekuphatheni isintu ngalesi sikhathi. Siyini isimo sikaNkulunkulu? Ngendawo yokuphila isintu esiyithokozelayo kanjalo nokudla nokokuphuza kwansuku zonke nezidingo zansuku zonke, siyasibona isimo somqondo sikaNkulunkulu sokuba nesibopho esintwini alokhu aba naso selokhu asidala, nokuzimisela kukaNkulunkulu ukusindisa isintu kulesi sikhathi. Ingabe siyabubona ubuqiniso bukaNkulunkulu kulezi zinto? Ingabe siyakubona ukumangalisa kukaNkulunkulu? Ingabe siyakubona ukungaqondakali kukaNkulunkulu? Ingabe siyabubona ubukhulu bukaNkulunkulu? UNkulunkulu kalula usebenzisa amandla aKhe aphakeme nezindlela zaKhe ezikhaliphile ukwenzela isintu konke, kanye nokwenza zonke izinto. Sisakhuluma ngalokho, ngemva kokuthi sengisho okuningi kangaka, ingabe niyakwazi ukuthi nithi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto? (Yebo.) Lokhu kuyiqiniso. Ninakho ukungabaza? (Cha.) Ukwenza kukaNkulunkulu zonke izinto kwanele ukukhombisa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto, ngoba ungumthombo owenza zonke izinto nowenza zonke izinto zibe khona, ziphile, zizalane, ziqhubeke, futhi awukho omunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uhlinzeka zonke izidingo zazo zonke izinto kanye nazo zonke izidingo zesintu, kungakhathaleki noma yisimo sabantu sokuphila esincane kanjani, lokhu abantu abakudinga nsuku zonke, noma ukunikeza iqiniso emimoyeni yabantu. Kuzo zonke izinhlangothi, uma kuza ekubonakaleni kwaKhe kanye nesimo saKhe esintwini, uNkulunkulu uqobo lwaKhe kuphela ongumthombo wempilo yazo zonke izinto. Ngabe lokhu kulungile? (Yebo.) Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu unguMholi, uMphathi omkhulu, noMdali wale lizwe elibonakalayo abantu abangalibona ngamehlo abo futhi balizwe. Esintwini, ingabe lokhu akwembuli ukuthi uNkulunkulu ungubani? Lokhu kuyiqiniso. Ngakho-ke, uma ubona izinyoni zindiza esibhakabhakeni, kumele wazi ukuthi uNkulunkulu wadala izinto ezikwazi ukundiza. Kodwa kukhona izinto eziphilayo ezibhukuda emanzini, nazo ziphila ngezindlela ezahlukene. Izihlahla nezitshalo ezihlala enhlabathini ziyaqhuma entwasahlobo zithele izithelo ziwise amacembe ekwindla, ebusika wonke amacembe asuke esewile bese zidlula enkathini yobusika. Iyona ndlela yazo yokuphila leyo. UNkulunkulu wadala zonke izinto, zonke ngayinye ziphila ngezindlela ezihlukene nangezindlela ezehlukene futhi zisebenzisa izindlela ezehlukene ukuveza amandla azo nokwakheka kwempilo. Noma ngabe iyiphi indlela, konke kungaphansi komthetho kaNkulunkulu. Iyini inhloso kaNkulunkulu yokubusa phezu kwazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo? Ingabe kungenxa yokuphila kwesintu? (Yebo.) Ulawula yonke imithetho yempilo ngenxa yokuphila kwesintu. Lokhu kukhombisa ukuthi kubaluleke kanjani ukuphila kwesintu kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 178)

UNkulunkulu akayena nje uNkulunkulu wabantu Bakhe abakhethiweyo. Njengamanje ulandela uNkulunkulu, futhi unguNkulunkulu wakho, kodwa labo abangaphandle kwabantu abalandela uNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo? Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abantu ngaphandle kwalabo abamlandelayo? Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wazo zonke izinto? (Yebo.) Pho ingabe uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe kanye nezenzo zaKhe kulabo abamlandelayo kuphela? (Cha.) Uyini umklamo womsebenzi nezenzo Zakhe? Ezingeni elincane, umsebenzi nezenzo Zakhe owesintu sonke nazo zonke izinto zendalo. Ezingeni eliphezulu kakhulu, ufaka umhlaba wonke jikelele, abantu abangakwazi ukukubona. Ngakho-ke singathi uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe nezenzo zaKhe kuso sonke isintu. Lokhu kwanele ukwazisa abantu ngoNkulunkulu uqobo lwaKhe. Uma ufuna ukwazi uNkulunkulu ngempela futhi ufuna ukumazi nokumqonda, ngakho-ke ungapheleli ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ungapheleli ezindabeni zomsebenzi kaNkulunkulu ake wawenza. Uma uzama ukumazi ngaleyo ndlela, ngalokho uNkulunkulu umbekela umkhawulo. Ubona uNkulunkulu njengento encane kakhulu. Ukwenza kanjalo kungabathinta kanjani abantu? Angeke ukwazi ukumangalisa nobukhulu bukaNkulunkulu, futhi ngeke uwazi amandla nobukhulu kanye nalapho kusebenza khona igunya laKhe. Ukuqonda okufana nalokhu, kuzoba nomthelela ekwazini kwakho ukwamukela iqiniso lokuthi uNkulunkulu unguMbusi wazo zonke izinto, kanjalo nolwazi lukaNkulunkulu uqobo nesimo saKhe. Ngamanye amazwi, uma ukuqonda kwakho uNkulunkulu kunomkhawulo, lokho ozokwamukela nakho kuzoba nomkhawulo. Yingakho kumele unwebe umkhawulo wakho. Noma ngabe umsebenzi kaNkulunkulu, ukuphatha kukaNkulunkulu, nomthetho kaNkulunkulu, noma zonke izinto zinomthetho futhi ziphathwa uNkulunkulu, kumele ukwazi konke futhi wazi nezenzo zikaNkulunkulu kukho. Ngale ndlela yokuqonda, uzozwa ngaphakathi ukuthi uNkulunkulu ulawula, uphethe futhi wenza zonke izinto. Khona lapho, uzozwa ngempela ukuthi uyingxenye yazo zonke izinto futhi uyilungu lazo zonke izinto. Njengoba uNkulunkulu enza zonke izinto, nawe wamukela umthetho kaNkulunkulu nokwenza kwaKhe. Leli yiqiniso elingephikiswe muntu. Zonke izinto zingaphansi kwemithetho yazo, engaphansi komthetho kaNkulunkulu, futhi zonke izinto zinomthetho wazo wokuphila, ongaphansi komthetho kaNkulunkulu, kanti ikusasa lesintu nalokhu esikudingayo kusondelene kakhulu nomthetho kaNkulunkulu nokwenza kwaKhe. Yingakho, ngaphansi komthetho nokubusa kukaNkulunkulu, isintu nazo zonke izinto kuhlangene, okunye kuncike kokunye, futhi kudidiyelwe ndawonye. Lena yinhloso nokubaluleka kukaNkulunkulu kokudala zonke izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 179)

Kulokhu kwasukela uNkulunkulu azidala, ngokwemithetho ayeyilandela, zonke izinto bezisebenza futhi ziqhubeka nokuthuthuka. Ngaphansi kweso Lakhe, ngaphansi komthetho Wakhe, zonke izinto bezilokhu ziqhubeka nokuthuthuka zihambisana nokuphila komuntu. Akukho neyodwa into ekwazi ukuguqula le mithetho, akukho neyodwa futhi into engabulala le mithetho. Kungenxa yomthetho kaNkulunkulu othi zonke izinto kuyakwazi ukwanda, futhi ngenxa yomthetho Wakhe nokulawula Kwakhe okuthi zonke izinto kuzokwazi ukuqhubeka nokuphila. Lokhu kusho ukuthi ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, zonke izinto kuba khona, kuyakhula, kuyanyamalala, kuphinde kuvuselelwe ngendlela ehlelekile. Uma kufika intwasahlobo, imvula ewumkhemezelo iletha lowo moya wentwasahlobo omanzisa umhlaba. Inhlabathi iyaqala incibilike, futhi utshani bukhuphuke busuka ngaphansi kwenhlabathi bese buqala ukuqhuma, ngenkathi izihlahla ziphenduka kancane kancane zibe luhlaza. Zonke lezi zinto eziphilayo ziveza ubungqabavu emhlabeni. Lokhu ukubonakala kwazo zonke izinto eziphilayo ziba khona futhi zikhula. Zonke izinhlobo zezilwane nazo ziyaphuma emigodini yazo zizwe imfudumalo yentwasahlobo kanye nokuqala konyaka omusha. Zonke izinto eziphilayo zethamela ukushisa ehlobo zijabulele imfudumalo elethwa yinkathi yonyaka. Zikhula ngamandla; izihlahla, utshani, kanye nazo zonke izinhlobo zezitshalo zikhula ngokushesha, bese ziqhakaza zithele izithelo. Zonke izinto eziphilayo zimatasatasa ehlobo, kubandakanya nabantu. Entwasabusika, izimvula ziletha ukuphola kwekwindla, bese zonke izinhlobo zezinto eziphilayo ziqala ukuzwa ukufika kwesikhathi sokuvuna. Zonke izinto eziphilayo zithela izithelo, nabantu baqale futhi bavune zonke izinhlobo zezinto ngoba sekuwa imikhiqizo yalezi zinto eziphilayo, ukulungiselela ukudla kwasebusika. Ebusika zonke izinto eziphilayo ziqala kancane kancane ukuphumula emakhazeni, zithule, abantu nabo bathatha ikhefu ngale nkathi yonyaka. Lezi zinguquko kusukela entwasahlobo kuya ehlobo kuya entwasabusika bese kufika ubusika—lezi zinguquko zonke zenzeka zilandela imithetho eyabekwa nguNkulunkulu. Uhola zonke izinto nesintu esebenzisa le mithetho futhi wakhele abantu impilo enothile futhi enhle, abalungisele inhlalo enamazinga ahlukahlukene okushisa kanye nezinkathi zonyaka ezahlukahlukene ukuba baqhubeke nokuphila. Kulezi zindawo ezihlelekile zokuqhubeka nokuphila, abantu bakwazi ukuphila bande ngendlela ehlelekile. Abakwazi abantu ukuguqula le mithetho kanti akukho noyedwa umuntu noma into ephilayo ekwazi ukuyephula. Noma ngabe kunezinguquko eziningi esezenzekile—izilwandle sezibe amasimu, namasimu aba yizilwandle—le mithetho iyaqhubeka nokuba khona. Ikhona ngoba uNkulunkulu ukhona, nangenxa yokubusa Kwakhe nokuphatha Kwakhe. Kulolu hlobo lokuhleleka, inhlalo ebanzi, izimpilo zabantu ziqhubekela phambili ngale mithetho nemigomo. Le mithetho yazala izizukulwane ngezizukulwane zabantu kanti izizukulwane ngezizukulwane zabantu zaqhubeka nokuphila ngaphansi kwale mithetho. Abantu bayijabulele le ndawo ehlelekile yokuphila kanye nazo zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu ezidalela izizukulwane ngezizukulwane. Nakuba abantu bezwa ukuthi lezi zinhlobo zemithetho ziyimvelo, nakuba bezichitha ngokuphelele, nakuba futhi bengezwa ukuthi uNkulunkulu Nguye ohlela le mithetho, ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwale mithetho, noma kungaba njani, uNkulunkulu uwubambile lo msebenzi ongaguquki. Inhloso Yakhe kulo msebenzi ongaguquki ukuthi umuntu aqhubeke nokuphila, ukuze abantu baqhubekele phambili.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 180)

Okokuqala, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wabekela izintaba imingcele, amathafa, izingwadule, amagquma, imifula, kanye namachibi amakhulukazi. Emhlabeni kunezintaba, amathafa, izingwadule, amagquma, kanye nezinhlobo zamanzi. Akuzona izinhlobo ezahlukene zezimo zezindawo? UNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwazo zonke lezi zinhlobo ezahlukene zezimo zendawo. Uma sikhuluma ngokubekwa kwemingcele, kusho ukuthi izintaba zicacisiwe ngokwazo, amathafa acacisiwe ngokwawo, izingwadule zinophawini wazo, amagquma anezindawo zawo ezimiyo. Kukhona futhi izinhlobo zamanzi amaningi anjengemifula kanye namachibi amakhulukazi. Okungukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wehlukanisa izinto zonke ngokucacile. UNkulunkulu uhlelile ukuthi intaba izoba nesilinganiso sobude obuyizungezile bamakhilomitha amangaki, ithathe umkhawulo wobubanzi ongakanani futhi. Uhlelile futhi ukuthi mangaki amakhilomitha ebanga elizungeze ithafa nokuthi lithathe ibanga lobubanzi elingakanani. Ngenkathi edala zonke izinto wabheka futhi ibanga lobubanzi lezingwadule kanye nebanga lobubanzi lamagquma kanye nobungako bawo, kanye nokuthi ehlukaniswa yini—wakubheka konke lokhu. Wabheka ibanga lobungako bemifula kanye namachibi amakhulukazi ngenkathi ekudala—konke kunemingcele yakho. Ngakho sisho ukuthi uma sithi “imingcele”? Sisanda kukhuluma ngendlela uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto ngokumisa imithetho yazo zonke izinto. Okungukuthi, ibanga nemingcele yezintaba akweluleki noma kufinyele ngenxa yokuphenduphenduka komhlaba noma ukudlula kwesikhathi. Lokhu akunyakazi: Lokhu “kunganyakazi” kungumthetho kaNkulunkulu. Mayelana nezindawo zamathafa, ukuthi yini imikhawulo yazo, ukuthi zizungezwe yini, lokho kumiswe nguNkulunkulu. Kunomngcele, ngeke kuvele kuqubuke igqunyana nje noma kanjani phakathi nethafa. Ithafa ngeke ngokuphazima kweso liphenduke intaba—ngeke kwenzeke lokho. Imithetho nemingcele esikhulume ngakho kubhekiswe kulokhu. Ngokogwadule, ngeke silibale lapha iqhaza logwadule noma esinye isimo sendawo noma ukubukeka komhlaba, kuphela imingcele yalokhu. Ngaphansi komthetho kaNkulunkulu umkhawulo wogwadule nawo ngeke weluleke. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu ukunikeze umthetho, ibanga. Ubukhulu bakho kanye neqhaza okulibambileyo, umngcele okwehlukanisile, kanye nalapho kutholakala khona—lokhu kwesekelwe nguNkulunkulu. Ngeke kuleqe ibanga lakho, kusuke lapho kukhona, ngeke futhi kwandise indawo noma kanjani nje. Nakuba ukugeleza kwamanzi njengemifula namachibi amakhulu kuhlelekile futhi kuqhubeka, akukaze kuphume emkhawulweni okuwunikiwe noma kudlule imingcele okubekelwe yona. Konke kugeleza kubheke endaweni eyodwa ngendlela ehleliwe, kugeleze kubheke lapho kufanele khona. Ngakho ngaphansi kwemithetho yokubusa kukaNkulunkulu, akukho mfula nalichibi elizokoma noma kanjani nje, noma kushintshe indawo okugelezela kuyo noma kanjani nje noma kuguqule umthamo nokugeleza ngenxa yokuphenduphenduka komhlaba noma ngenxa yokudlula kwesikhathi. Konke lokhu kwaziwa nguNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu phakathi kwesintu zinezindawo nemikhawulo okumisiwe. Okungukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, imingcele yazo yamiswa futhi ngeke iguqulwe ngokuzenzakalela, ngeke yenziwe kabusha, noma ishintshwe. Kusho ukuthini ukuthi “ngokuzenzakalelayo”? Kusho ukuthi ngeke igudlulwe ngokungemthetho, yandiswe, noma ishintshwe esimeni sayo sokudalwa ngenxa yesimo sezulu, amazinga okushisa, noma ijubane umhlaba ophenduka ngalo. Isibonelo, intaba inokuphakama okuthile, iphansi layo linebanga elithile, iphakeme kusuka olwandle ngendlela ethile, futhi inohlaza oluyisilinganiso esithile. Konke lokhu kuhlelwe kwabalwa nguNkulunkulu futhi ngeke kuguqulwe ngokuzenzakalela. Ngokwamathafa, iningi labantu lakhe emathafeni, futhi akukho kugudluka kwesimo sezulu okuzothinta izindawo zabo noma ubunjalo bokuphila kwabo. Ngisho okuqukethwe yizindawo lezo ezahlukahlukene kanye nezimo zomhlaba ezadalwa nguNkulunkulu ngeke ziguquke noma kanjani. Isibonelo, lokho okuyizinto ezakha ugwadule, izinto ezinqwabelene ngaphansi komhlaba, inani lesihlabathi eliqukethwe kanye nombala wesihlabathi, ugqinsi esiyilo—lokhu ngeke kuguqulwe ngokuzenzakalela. Kungani zingeke ziguqulwe lezi zinto ngokuzenzakalela? Kungenxa yomthetho kaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe. Kuzo zonke lezi zimo zezwe kanye nezezindawo ezidalwe nguNkulunkulu, ukuphethe konke ngendlela ehleliwe nemiswe kahle. Ngakho zonke lezi zimo zezwe zisekhona eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa, amashumi ezinkulungwane zeminyaka emva kokudalwa nguNkulunkulu. Zisayidlala indawo yazo ngayinye ngayinye. Nakuba ezikhathini ezithile kusabheduka izintabamlilo, ngezikhathi ezithile kuqubuka ukunyikima komhlaba, kuphinde kube nokugudluka okubanzi komhlaba, uNkulunkulu akasoze nakancane avumele uhlobo oluthile lomhlaba ukuthi lulahlekelwe umsebenzi olwadalelwa wona. Kungesizathu salokhu kuphatha kukaNkulunkulu kuphela, ukubusa Kwakhe kanye nokuqonda Kwakhe le mithetho, ukuthi konke lokhu—konke lokhu okujatshulelwa ngumuntu nokubonwa ngumuntu—kuqhubeka nokuphila ngendlela ehlelekile ezweni. Ngakho, kungani uNkulunkulu ephethe zonke lezi zinhlobo zezimo zezwe ezikhona ngale ndlela emhlabeni? Inhloso ukuthi izinto eziphilayo ezikhona ezindaweni zomhlaba ezahlukahlukene zizokuba nendawo ezinzile, nokuthi zikwazi ukuqhubeka nokuphila zande kuleyo ndawo ezinzile. Zonke lezi zinto—ezinyakazayo kanye nezinganyakazi, eziphefumula ngamakhala kanye nalezo ezingaphefumuli—ziba yindawo eyehlukile ukuba umuntu akwazi ukuqhubeka nokuphila. Ukuphela kwalolu hlobo lwesimo sendawo olukwazi ukunakekela izizukulwane ngezizukulwane zomuntu, futhi yilolu hlobo kuphela lwendawo olukwazi ukuvumela umuntu aqhubeke nokuphila ngokuthula, izizukulwane ngezizukulwane.

Lokhu engisanda kukhuluma ngakho empeleni kuyisihloko esikhulu ngakho cishe sizwakala sikude nani, kodwa niyaqonda, akunjalo? Kusho ukuthi, imithetho kaNkulunkulu ekubuseni Kwakhe phezu kwazo zonke izinto ibalulekile—ibaluleke kakhulu! Simo sini esilindeleke ukwandulela izinto eziphilayo ukuba zikhule ngaphansi kwale mithetho? Kungenxa yokubusa kukaNkulunkulu. Kungenxa yokubusa Kwakhe ukuthi zonke izinto zenza imisebenzi yazo ngaphansi kokubusa Kwakhe. Isibonelo, izintaba zinakekela amahlathi, amahlathi bese enakekela aphinde avikele izinyoni eziyizinhlobonhlobo kanye nezilwane ezihlala kuwo. Amathafa ayisinyathelo esilungiselwe abantu ukuba batshale izitshalo kanye nezinyoni nezilwane ezinhlobonhlobo. Avumela abantu abaningi ukuthi bahlale emhlabeni owendlalekile kube nobungcono ezimpilweni zabantu. Amathafa futhi anezindawo zotshani—izindawo ezinkulu zotshani. Izindawo ezinotshani lezi ziwumhlaba wezimila. Zivikela inhlabathi ziphinde zinakekele izinkomo, izimvu, namahhashi aphila kulezi zindawo zotshani. Ugwadule nalo lunomsebenzi walo eliwenzayo. Akuyona indawo yokuhlala abantu; umsebenzi walo ukomisa izindawo ezinomhwamuko. Ukugeleza kwemifula namachibi amakhulukazi kuwusizo kubantu ngamanzi okuphuzwa. Noma yikuphi lapho kugelezela khona, abantu bazoba namanzi aphuzwayo, futhi izidingo zamanzi zazo zonke izinto ziyokwaneliseka ngokuseduze. Lena yimingcele ebekwe nguNkulunkulu yezindawo ezahlukahlukene.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 181)

Ngenxa yokuthi le mingcele ibekwe nguNkulunkulu, izindawo eziningi ziholele enhlalweni nasempilweni eqhubekayo, kanti le nhlalo nempilo eqhubekayo ibe wusizo ezinhlotsheni ezahlukahlukene zezinyoni kanye nezilwane kwaba khona nezindlela zokuqhubeka nokuphila. Ukusukela kulokhu imingcele yezindawo zokuqhubeka nokuphila ezintweni ezahlukahlukene eziphilayo ibe seyiba khona. Lokhu kuyiphuzu lesibili esizokhuluma ngalo ngokulandelayo. Okokuqala, zihlalaphi izinyoni, izilwane kanye nezinambuzane? Ingabe zihlala emahlathini nasemahlokozini? Yizindawo zazo lezi. Ngakho, ngaphandle kokubeka imingcele ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba, uNkulunkulu waphinde wabeka imingcele yezinyoni nezilwane ezahlukahlukene, izinhlanzi, izinambuzane kanye nezitshalo. Waphinda wabeka imithetho. Ngenxa yomahluko ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba kanye nangenxa yobukhona bezindawo ezahlukahlukene emhlabeni, izinhlobo ezahlukahlukene zezinyoni nezilwane, izinhlanzi, izinambuzane, kanye nezitshalo kunezindawo ezahlukahlukene okuqhubeka kuzo nokuphila. Izinyoni kanye nezilwane nezinambuzane kuhlala nezitshalo ezahlukahlukene, izinhlanzi ziphila emanzini, kanti izitshalo zikhula ezweni. Izwe lihlanganisa izindawo ezahlukahlukene ezifana nezintaba, amathafa, kanye namagquma. Lapho izinyoni nezilwane ziba nekhaya lazo elimiyo, azinakulokhu zizulazula, ziya noma ngaphi. Izindawo ezingamakhaya azo ngamahlathi nezintaba. Uma, ngelinye ilanga, izindawo ezingamakhaya azo bezingabhidlizwa, uhlelo beluyoba nesiphithiphithi. Masinyane emva kokuba yisiphithiphithi kwalolu hlelo, iyoba yini imiphumela yalokho? Ngobani abayolimala kuqala? (Ngumuntu.) Ngumuntu! Kule mithetho kanye nemigomo okwenziwe nguNkulunkulu, ngabe ikhona into exakile eniyibonile? Ngokwesibonelo, izindlovu zihamba ogwadule. Nike nakubona lokho? Ukuba bekunjalo, bekuyoba yinto engajwayelekile kakhulu, ngoba izindlovu zihlala kuyo yisehlathini, futhi liyindawo, yokuqhubeka nokuphila eziyilungiselwe nguNkulunkulu. Zinendawo yazo okuphilekayo kuyo kanye nekhaya lalo elimisiweyo, ngakho zingakwenzelani ukuthi ziye le nale? Ukhona oseke wabona amabhubesi nezingwe kuhamba ngasogwini lolwandle? Cha, anikaze nikubone. Ikhaya lamabhubesi nezingwe yihlathi nezintaba. Ukhona oseke wabona imikhoma noma oshaka basolwandle bebhukuda ogwadule? Cha, anikaze nikubone. Imikhoma noshaka kwakha amakhaya akho olwandle. Enhlalweni yabantu, bakhona abantu abahlala ndawonye namabhele ansundu? Bakhona abantu abahlala bezungezwe amapigogo noma ezinye izinyoni, ngaphandle nangaphakathi kwamakhaya abo? Ukhona oseke wabona izinkozi noma amadada asendle edlala nezinkawu? (Cha.) Lokhu kungaba yinto eyisimanga. Isizathu esenza ukuthi ngikhulume ngalezi zinto ezizwakala ziyisimanga ezindlebeni zenu ukuthi nginenze niqonde ukuthi zonke izinto ezadalwa nguNkulunkulu—noma ngabe zigxumekeke endaweni eyodwa noma ziphefumula ngamakhala azo—zinemithetho yazo yokuphila. Esikhathini eside ngaphambi kokuthi uNkulunkulu adale lezi zinto eziphilayo wayesezilungisele izindawo zazo eziyizindawo ezingamakhaya, izimo zezindawo zokuthi zikwazi ukuqhubeka nokuphila. Lezi zinto eziphilayo bezinezindawo zazo ezimiselwe ukuphila kuzo, ukudla kwazo, izindawo zazo ezingamakhaya ezimisiwe, izindawo zazo ezimisiwe ezifanele ukuphila kwazo, izindawo ezinezimo zokushisa ezifanele ukuphila kwazo. Ngaleyo ndlela bezizozulazula noma zikubukele phansi ukuphila komuntu noma lokho okunethonya empilweni yazo. Yindlela lena uNkulunkulu aphatha ngayo zonke izinto, ehlinzeka isintu ngendawo enhle kakhulu yokuphila. Konke okuphilayo phakathi nazo zonke izinto, ngakunye, kunokudla kwakho okokusimamisa ukuphila ezindaweni zakho. Kulokho kudla, kubopheleke ukuba sendaweni yakho yokuzalwa ukuze kukwazi ukuqhubeka nokuphila. Endaweni eyilolo hlobo, kuyaphila, kuyanda, futhi kuqhubekela phambili kulandela imithetho uNkulunkulu akwakhele yona. Ngenxa yalezi zinhlobo zemithetho, ngenxa yokulungiselela kukaNkulunkulu okwandulelayo, zonke izinto ziphila ngokuzwana nesintu, futhi isintu kanye nazo zonke izinto kuyaphilisana.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 182)

UNkulunkulu wadala zonke izinto wabeka imingcele kukho; phakathi kwakho wayesenakekela zonke izinhlobo zezinto eziphilayo. Ngaso leso sikhathi, wabuye walungisa izindlela ezahlukile zokuphila kwabantu, ngakho kuyabonakala ukuthi abantu abanayo nje indlela eyodwa yokuqhubeka nokuphila. Futhi abanayo inhlalo eyodwa abaqhubeka nokuphila kuyo. Sikhulumile ngaphambilini ngoNkulunkulu elungisa izinhlobo ezahlukahlukene zokudla kanye nemithombo yamanzi yabantu, okuyinto ebaluleke kakhulu ukuvumela ukuthi ukuphila kwesintu enyameni kuqhubeke. Nokho, kulaba bantu, akubona bonke abantu abaphila ngokusanhlamvu. Abantu banezindlela ezahlukahlukene zokuphila ngenxa yokwehlukahlukana kwezimo ezindaweni kanye nasezweni. Lezi zindlela zokuphila zonke zalungiselelwa nguNkulunkulu. Ngakho akubona bonke abantu abazinikele ekulimeni. Okungukuthi, akubona bonke abantu abathola ukudla ezitshalweni ezikhulayo. Leli yiphuzu lesithathu esizokhuluma ngalo: Imingcele yakhelwe izindlela ezahlukahlukene zokuphila kwabantu. Ngakho-ke yiziphi ezinye izindlela zokuphila abanazo abantu? Ngokwemithombo yokudla ehlukahlukene, yiziphi ezinye izinhlobo zabantu ezikhona? Ziningi izinhlobo okungaqalwa ngazo.

Eyokuqala yindlela yempilo yokuzingela. Wonke umuntu uyazi ukuthi lokho kuyini. Badlani abantu abaphila ngokuzingela? (Umdlalo.) Badla izinyoni kanye nezilwane zehlathi. “Umdlalo” yigama lesimanje. Abazingeli abazithathi njengomdlalo; bazithatha njengokudla, njengento ebagcina bephila nsuku zonke. Isibonelo, bathola inyamazane enezimpondo ezimagatshagatsha. Uma bethola le nyamazane bafana nomlimi ethola izitshalo enhlabathini. Umlimi uthola izitshalo enhlabathini, bese kuthi uma ebona izitshalo zakhe ajabule akhululeke. Umndeni angeke ulambe uma kunezitshalo ezizodliwa. Inhliziyo yakhe iyakhululeka aphinde azizwe anelisekile. Nomzingeli aphinde azizwe ekhululekile anelisekile uma ebuka akubambile ngoba akudingeki ukuthi akhathazeke ngokudla futhi. Kukhona okuzodliwa esidlweni esilandelayo, asikho isidingo sokulamba. Lona ngumuntu ozingelayo ukuze aphile. Iningi labantu abaphila ngokuzingela baphila emahlathini ezintaba. Abalimi. Akulula ukuthola indawo engalinywa lapho, ngakho baphila ngezinto ezahlukahlukene eziphilayo, ngezinhlobonhlobo zezilwane ezizingelwayo. Wuhlobo lokuqala lolu lwempilo ehlukile kweyabantu abajwayelekile.

Uhlobo lwesibili wuhlobo lwempilo yabafuyi. Ingabe labo abafuyayo ukuze baphile bayalima? (Cha.) Ngakho benzani? Baphila kanjani? (Isikhathi esiningi, bafuya izinkomo nezimvu ukuze baphile, ebusika bahlaba imfuyo yabo badle. Ukudla kwabo yinyama yenkomo kanye neyemvu, futhi baphuza itiye elinobisi. Nakuba abelusi bematasatasa ngazo zozine izinkathi zonyaka, badla kahle. Banobisi oluningi, imikhiqizo yobisi, nenyama.) Abantu abafuya izilwane badla inyama yenkomo neyemvu ikakhulukazi, baphuza ubisi lwemvu nolwenkomo, bese begibela izinkunzi namahhashi ukuyokwelusa izilwane zawo emadlelweni, izinwele zipheshethwa wumoya, behlatshwa yilanga ebusweni. Abanayo ingcindezi yempilo yesimanje. Usuku lonke babona ububanzi besibhakabhaka esiluhlaza nezinkalo ezinotshani obuningi. Iningi labantu abelusa imihlambi yokuziphilisa bonke bahlala ezindaweni ezinotshani bayakwazi futhi ukuqhubeka nempilo yabo yokuzulazula izizukulwane ngezizukulwane. Nakuba impilo yezindawo zotshani ithi mayibe nesithukuthezi, iyimpilo enenjabulo. Akuyona impilo embi!

Uhlobo lwesithathu yimpilo yabadobi. Kunengxenyana encane yabantu ephila ngasolwandle noma eziqhingini ezincane. Laba bazungezwa ngamanzi, babhekene nolwandle. Laba bantu bayadoba ukuze baziphilise. Uyini umthombo wokudla walaba bantu abaziphilisa ngokudoba? Imithombo yabo yokudla ifaka zonke izinhlobo zenhlanzi, ukudla okuvela olwandle, neminye imikhiqizo yasolwandle. Abantu abaziphilisa ngokudoba abalimi umhlabathi, kodwa kunalokho badoba zonke izinsuku. Ukudla kwabo okuphambili kunezinhlobonhlobo zezinhlanzi nemikhiqizo yolwandle. Ngezinye izikhathi bahweba ngalezi zinto ukuze bathole irayisi, ufulawa, kanye nezidingo zansuku zonke Lolu wuhlobo olwehlukile lwempilo lolu lwabantu abaphila eduze namanzi. Labo abahlala ngasemanzini bethembele kuwo ukuze bathole ukudla kwabo, futhi ukudoba kuyimpilo yabo. Kungumthombo wokuphila nokudla kwabo.

Ngaphandle kwalabo abalimayo ukuze baziphilise, kukhona okukakhulukazi izinhlobo ezintathu zempilo ezibalwe ngenhla. Ngaphandle kwalabo abaphila ngokufuya, ukudoba, kanye nokuzingela, iningi labantu bayalima ukuze baziphilise. Badingani-ke abantu abaphila ngokulima? Badinga inhlabathi. Baphila ngokutshala izitshalo zezizukulwane. Bangatshala imifino, izithelo noma izinhlamvu, bathola ukudla kwabo nezezidingo zansuku zonke enhlabathini.

Yiziphi izimo ezijwayelekile kulezi zinhlobo ezahlukahlukene zokuphila kwabantu? Azidingi ukunakekelwa okujwayeleke ezindaweni ukuze iqhubeke impilo? Okungukuthi, uma abazingeli bebengalahlekelwa ngamahlathi ezintabeni noma yizinyoni kanye nezilwane, bebeyolahlekelwa yimpilo yabo. Ngakho uma abantu abaphila ngokuzingela belahlekelwa ngamahlathi asezintabeni bengasenazo nezinyoni kanye nezilwane, uma bengasenawo umthombo wempilo yabo, khona-ke inkombandlela leso sizwe esingayilandela nalapho lolo hlobo lwabantu olungaya ngakhona kuyinto engaziwa futhi bangase bavele banyamalale. Futhi bethembelephi labo abafuyile ukuze baphile? Ababambelele kukho akuyona nje imfuyo yabo, kodwa yisimo senhlalo okuphila kuso imfuyo yabo—izindawo zotshani. Ukuba bezingekho izindawo zotshani, bebeyoyelukisa kuphi imfuyo yabo? Bezizodlani izinkomo nezimvu zabo? Ngaphandle kwemfuyo abantu abazulazulayo ngeke babe nokuphila. Ngaphandle komthombo wemfuyo yabo, laba bantu bebeyoya kuphi? Ukuqhubeka nokuphila bekuyoba lukhuni; bebengeke babe nalo ikusasa. Ngaphandle kwemithombo yamanzi, imifula namachibi amakhulukazi bekuzokoma. Ngabe beziyoqhubeka nokuphila lezo zinhlanzi ngaphandle kwamanzi eziphila ngawo? Lezo zinhlanzi bezingeke zibe khona. Ngabe laba bantu abancike emanzini nasezinhlanzini ngokuphila kwabo bebeyoqhubeka nokuphila? Uma bebengenakho ukudla, uma bebengenawo umthombo wokuphila kwabo, bebengeke labo bantu bakwazi ukuqhubeka nokuphila. Okusho ukuthi, lapho kuba nenkinga ngokuphila kwabo noma ngokuqhubeka kwabo nokuphila, lezo zizwe bezingeke zisakwazi ukuqhubeka nokuphila, futhi beziyonyamalala, beziyosuswa emhlabeni. Kanti uma labo abangabalimi nabaziphilisa ngakho bebelahlekelwa yinhlabathi, bebengeke bakwazi ukutshala izinto, bese bethola ukudla ezitshalweni ezinhlobonhlobo, bewuyoba yini umphumela walokho? Ngaphandle kokudla, bebengeke balambe baze bafe? Uma abantu belamba baze bafe, belungeke lolo hlobo lwabantu luphele? Ngakho lena yinhloso kaNkulunkulu yokugcina izimo zenhlalo ezinhlobonhlobo. UNkulunkulu unenhloso eyodwa vo ekulondolozeni izindawo ezinhlobonhlobo okuphilwa kuzo, ukugcina izinhlobo ezahlukahlukene zabantu ezindaweni ezifanele—okungukunakekela zonke izinhlobo zabantu, ukunakekela abantu abaphila ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba.

Uma zonke izinto zendalo bezingalahlekelwa yimithetho yazo, beziyoshabalala; uma imithetho yazo zonke izinto beyingalahleka, izinto eziphilayo phakathi kwazo zonke izinto bezingeke zikwazi ukuqhubekela phambili. Abantu nabo bebeyolahlekelwa yizimo zabo zenhlalo abancike kuzo ukuze baphile. Uma abantu bebelahlekelwa yikho konke lokho, bebengeke bakwazi ukuqhubeka nokuphila bandise izizukulwane ngezizukulwane. Isizathu esenze ukuthi abantu baphile kuze kube manje yingoba uNkulunkulu ubaphe zonke izinto zendalo ukuthi zibondle, zondle abantu ngezindlela ezahlukahlukene. Kungenxa kaNkulunkulu kuphela ngoba enakekela abantu ngezindlela ezahlukene njengoba besaphila kuze kube yimanje, njengoba besaphila kuze kube yilolu suku lwanamuhla. Kulolo hlobo lwendawo emisiwe ukuba kuqhubeke impilo ngokuhle nokuhlelekile, zonke izinhlobo zabantu emhlabeni, zonke izinhlobo zezizwe zikwazi ukuphila ezindaweni ezinemikhawulo ebekiwe. Akekho okwazi ukweqela ngale kwale mikhawulo noma le mingcele ngoba uNkulunkulu oyahlukanisile. Kungani uNkulunkulu eyahlukanise ngale ndlela? Lokhu kubalulekile kubo bonke abantu—kubalulekile impela!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 183)

Okwesine, uNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwezizwe ezahlukahlukene. Emhlabeni kukhona abantu abamhlophe, abantu abamnyama, abantu abansundu, kanye nabantu abampofu. Lezi yizinhlobo ezahlukahlukene zabantu. UNkulunkulu wayesemisa imikhawulo yezimpilo zalaba bantu abehlukahlukene ngezinhlobo zabo, bengakunakile nakukunaka lokho, abantu bahlala ezindaweni zabo ezifanelekile ukuba baqhubeke nokuphila ngaphansi kokulawula kukaNkulunkulu. Akekho umuntu okwazi ukuphumela ngaphandle kwalokhu. Isibonelo, abantu abamhlophe, yiziphi izindawo abahlala kuzo ikakhulukazi? Ikakhulukazi bahlala eYurophu naseMelika. Abantu abamnyama bahlala ikakhulukazi e-Afrika. Abantu abansundu bahlala ikakhulu eNingizimu-Mpumalanga ye-Asia naseNingizimu ye-Asia, njengaseThailand, e-India, eMyanmar, eVietnam, kanye naseLaos. Abantu abampofu ngombala bahlala ikakhulukazi e-Asia, okungukuthi eChina, eJapan, eNingizimu Korea, kanye nasezindaweni ezifuze lezo. UNkulunkulu utshale zonke lezi zinhlobo ezahlukahlukene zezizwe ukuze lezi zizwe ezahlukahlukene zitshaleke ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba. Kulezi zingxenye ezahlukahlukene zomhlaba, uNkulunkulu walungisa kudala izindawo zokuphila ezifanele uhlobo ngalunye lwesizwe sabantu. Kulezi zimo zenhlalo nokuphila, uNkulunkulu ubalungisele inhlabathi ngemibala yawo kanye nangesakhiwo. Ngamanye amazwi, akufani ukwakheka kwemizimba yabantu abamhlophe nokwemizimba yabamnyama, futhi behlukene ngisho nasekwakhekeni kwemizimba yabantu bezinye izinhlanga. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wayeselungisile vele izimo zenhlalo nokuphila kwaleso sizwe. Inhloso Yakhe kulokho kwakungukuthi kuthi uma lolo hlobo lwabantu luqala ukwanda, lapho beqala ukukhula ngokwesibalo, bakwazi ukunamathela emkhawulweni lowo. Ngaphambi kokuthi uNkulunkulu abadale abantu wayesekucabangile konke lokhu—wayenika iYurophu neMelika kubantu abamhlophe ezobavumela ukuthi bathuthuke baphile. Ngakho-ke ngenkathi uNkulunkulu edala umhlaba wayesenalo isu, wayenenhloso nesifiso ngayezokubeka kuleyo naleyo ngxenye yezwe, nokuthi yini eyayizonakekeleka kulelo zwe. Isibonelo, uNkulunkulu kudalo wahlela ukuthi yiziphi izintaba, nganjani amathafa, mingaki imithombo yamanzi, luhlobo luni lwezinyoni nezilwane, yiziphi izinhlanzi, nokuthi yiziphi izitshalo ezizoba kulelo zwe. Ngenkathi elungisa isimo senhlalo nokuphila kohlobo oluthile lomuntu, lwesizwe uNkulunkulu wabheka izinto eziningi eziyizidingo: uhlobo lomhlaba, ukwakheka komhlabathi, izinhlobo zezinyoni nezilwane, ubukhulu bezinhlobo ezahlukahlukene zezinhlanzi, ukwakheka kwezinhlanzi, izilinganiso ezahlukahlukene zamanzi, kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo…. UNkulunkulu wayekade ekulungise kudala lokho. Lolo hlobo lwesimo yisimo sokuphila uNkulunkulu asidala wasilungisela abantu abamhlophe futhi esingesabo ngokwemvelo. Ingabe senibonile ukuthi ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wakujulela ngomcabango futhi wenza izinto ngohlelo? (Yebo. Imibono kaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukahlukene zabantu zinokukhulu ukucabanga. Ezindaweni zokuphila kwezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, walungisa izinhlobo zezinyoni nezilwane kanye nezinhlobo zezinhlanzi, inani lezintaba kanye nenani lamathafa okwakumele abe khona. Konke kwenziwa ngokukhulu ukucabanga kanye nokunemba.) Isibonelo, kudla kuni okudliwa ikakhulukazi ngabantu abamhlophe? Ukudla okudliwa ngabantu abamhlophe kwehluke kakhulu ekudleni okudliwa ngabantu base-Asia. Ukudla ikakhulu okudliwa ngabantu abamhlophe kunenyama phambili, amaqanda, ubisi, nenyama yenkukhu. Okusanhlamvu njengesinkwa nerayisi akubalulekile kubekwa epuletini eliseceleni. Nangenkathi bedla isaladi lemifino, babeka inyama eyosiwe noma inkukhu kuyo. Noma sebedla ukudla okunokolweni, bafaka kukho ushizi, amaqanda, noma inyama. Okungukuthi, ukudla okuvelele kubo akuhambisani nokolweni noma nerayisi; badla inyama eningi noshizi ikakhulu. Bavame ukuphuza amanzi ayiqhwa ngoba basuke bedle ukudla okunezithako ezisesilinganisweni esiphakeme. Ngakho abantu abamhlophe banomfutho kakhulu. Lena yimithombo yempilo yabo, izimo zabo zenhlalo wazilungisa uNkulunkulu, wabavumela ukuthi babe nalolo hlobo lwempilo. Lwahlukile lolo hlobo lwempilo ezimpilweni zabantu bezinye izinhlanga. Akukho okulungile noma okungalungile kule mpilo—umuntu uzalwa nayo, ilungiswe ngaphambilini nguNkulunkulu kanti ingenxa yokubusa kukaNkulunkulu nokuhlela Kwakhe. Lolu hlobo lwesizwe lunempilo ethile nemithombo ethile yokuphila ekhona ngenxa yobuzwe balo, futhi nangenxa yesimo senhlalo nokuphila okulungiselwe lona nguNkulunkulu. Nisangasho nina nithi leso simo senhlalo nokuphila uNkulunkulu asilungisele abantu abamhlophe kanye nokudla kwansuku zonke abakuthola kuleso simo senhlalo sinothile futhi sinenala.

UNkulunkulu ulungisile futhi izindawo eziyisidingo sokuphila zezinye izinhlanga. Kukhona nabantu abamnyama—batholakala kuphi abantu abamnyama? Batholakala ikakhulukazi maphakathi kanye naseningizimu ye-Afrika. Yini uNkulunkulu abalungisele yona kulolu hlobo lwesimo senhlalo ukuba baqhubeke nokuphila? Amahlathi afudumele, zonke izinhlobo zezinyoni kanye nezilwane, izingwadule nazo zikhona, kanye nazo zonke izinhlobo zezitshalo ezihambisana nawo. Banemithombo yamanzi, izindlela ezingenisa imali, kanye nokudla. UNkulunkulu akazange abacwase. Noma ngabe kunjani noma ngabe benzeni, ukuphila kwabo akukaze kube yinkinga. Nabo banendawo ethile kanye nesigodi esithile engxenyeni yomhlaba.

Make sikhulume kancane ngabantu abampofu manje. Abantu abampofu batholakala ikakhulu e-Orient. Yini umahluko phakathi kwezindawo nomhlaba kanye nalapho kutholakala khona i-Orient ne-Occident? Ku-Orient, ingxenye enkulu yalelo zwe inenhlabathi enothile, inothe ngezinto kanye nangamaminerali. Okungukuthi, zonke izinhlobo zemithombo engaphezulu nengaphansi komhlaba zikhona ngobuningi. Kuleli dlanzana labantu, kulesiya sizwe, uNkulunkulu uphinde ulungisa nenhlabathi ehambisana naso, isimo sezulu, kanye nezindawo zomhlaba ezahlukahlukene ezisifanele. Nakuba kunomahluko omkhulu phakathi kwezindawo zomhlaba kanye nezimo zenhlalo kwabase-Occident, ukudla okuyisidingo sabantu, impilo yabo, kanye nemithombo yokuqikelela ukuphila wakuhlela uNkulunkulu. Umahluko kubo nakubantu abamhlophe base-Occident usenhlalweni kuphela. Kodwa iyiphi into eyodwa okumele nginitshele yona? Inani lohlanga oluseMpumalanga liphakeme kakhulu, ngakho uNkulunkulu wengeza kulo mhlaba izinto eziningi ezahlukile kwezaseNtshonalanga. Kule ngxenye yomhlaba, wengeza izinhlobo zesimo somhlaba eziningi ezahlukahlukene kanye nezinto eziningi. Imithombo yemvelo miningi nayo; umhlaba wakhona uhlukahlukene nawo, ukulingene ukunakekela isibalo esikhulu sesizwe saseMpumalanga. Okuwumahluko eNtshonalanga ukuthi eMpumalanga—kusukela eningizimu kuya enyakatho, kusukela empumalanga kuya entshonalanga—isimo sezulu singcono kunesaseNtshonalanga. Izinkathi ezine zonyaka zihlukaniswe ngokucacile, amazinga okushisa nokubanda ayemukeleka, imithombo yemvelo miningi, kanti izindawo zemvelo nezinhlobo zomhlaba zingcono kunezaseNtshonalanga. Kungani uNkulunkulu enza lokhu? UNkulunkulu wenza izinto ezilinganayo phakathi kwabantu abamhlophe nabampofu. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi yonke ingxenye yokudla kwabo, izinto abazisebenzisayo, lokho okujatshulelwa ngabantu abamhlophe ingcono kunejatshulelwa ngabantu abampofu. Nokho, uNkulunkulu akakhethi sizwe. UNkulunkulu wapha abantu abampofu isimo senhlalo esihle kakhudlwana nesingcono ukuba baphile kuso. Lokhu kuwukulingana.

UNkulunkulu unqume phambilini ukuthi yiziphi izinhlobo zabantu okufanele zihlale kuyiphi ingxenye yomhlaba; abantu bangakwazi yini ukweqa le mikhawulo? (Cha, ngeke.) Yinto eyisimanga lena! Noma kungaba nezimpi noma ukweqiwa komthetho ngezikhathi ezahlukahlukene noma ngezikhathi ezithile, lezi zimpi, lokho kweqiwa komthetho akukwazi nakancane ukubhidliza izimo zenhlalo nokuphila uNkulunkulu azimise phambilini ezimisela isizwe ngasinye. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu ubeke uhlobo oluthile lwabantu engxenyeni ethile yomhlaba kanti ngeke bakwazi ukuphuma kulowo mkhawulo. Noma ngabe abantu banohlobo oluthile lokufisa ukubona ngaleya ngokushintsha noma ngokwandisa indawo yabo, ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, kulukhuni ukuthi bakuzuze lokho. Kungaba lukhuni kakhulu ukuphumelela. Isibonelo, abantu abamhlophe babefuna ukwelula umhlaba wabo base bethatha amanye amazwe. AmaJalimane awathatha amanye amazwe, iNgilandi yangena e-India. Kwaba yini umphumela? Ekugcineni behluleka. Sibonani kulokho kwehluleka? Okunqunywe nguNkulunkulu ngaphambilini akuvumelekile ukuthi kubhidlizwe. Ngakho, noma ungamkhulu kangakanani umfutho obonakale ekukhuleni kweNgilandi, ekugcineni kwakusadingeka bahoxe, bashiye izwe lisaqhubeka nokuba ngele-India. Labo abahlala kulelo zwe basengamaNdiya, abawona amaNgisi. Lokhu kungoba yinto uNkulunkulu angayivumeli. Abanye babacwaningi bomlando noma bepolitiki bayenzile imiqulu yocwaningo ngalokhu. Banikeza izizathu ezishoyo ukuthi kungani iNgilandi yehluleka, bayasho ukuthi kungoba isizwe esithile asikwazanga ukunqobeka, bathi kungaba futhi yisizathu esibandakanya abantu…. Lezi akuzona izizathu eziyizo ngempela. Isizathu sangempela ngesithi kungoba uNkulunkulu—akavumeli lokhu. UNkulunkulu uba nesizwe esihlala endaweni ethile ezweni asihlalise lapho, kanti uma uNkulunkulu engasivumeli ukuthi sisuke lapho asisoze sasuka. Uma uNkulunkulu ethula umkhawulo waso, sizohlala kulowo mkhawulo. Umuntu akakwazi ukuzikhulula noma ukuphuma kule mikhawulo. Lokhu kuliqiniso. Noma ngabe makhulu kangakanani amandla abephuli mithetho noma ngabe kabanamandla kangakanani labo umthetho owephulwa kubo, impumelelo yabo incike kuNkulunkulu ekugcineni. Ukunqumile lokhu phambilini kanti akekho ongakuguqula.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 184)

Uma sibheka ngeso lemithetho ebekwe nguNkulunkulu enzela ukuthi kukhule yonke into, ngabe bonke abantu, noma ngabe bayiluphi uhlobo, abaphila ngaphansi kokuhlinzeka kukaNkulunkulu—akukhona ukuthi bonke baphila ngaphansi kokunakekelwa Nguye? Uma bekungathiwa le mithetho isusiwe noma uma ngabe uNkulunkulu ubengazange abeke lolu hlobo lwemithetho kumuntu, ukubikezela kwabo bekuzoba njani? Emva kokuthi abantu belahlekelwe yizimo zenhlalo ezejwayelekile abaphila kuzo, bebezoba nayo imithombo yokudla? Kubukeka kungenzeka kube yinkinga ukudla. Uma abantu belahlekelwa yimithombo yokudla, okusho ukuthi, uma bengakwazi ukuthola okokudla bangabambelela izinsuku ezingaki? Kungenzeka behluleke ukubambelela ngisho inyanga eyodwa, futhi ukuphila kwabo kungaba yinkinga. Ngakho izinto ngayinye ngayinye azenzile uNkulunkulu ukuba abantu baqhubeke baphile, bande, futhi basimame kubalulekile. Yonke into ngayinye ngayinye uNkulunkulu ayenzayo kuzo zonke izinto isondelene futhi kayehlukaniseki nokuphila kwabantu. Uma ukuphila komuntu kuba yinkinga, ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kungaqhubeka? Ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kusekhona? Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhambisana nokuphila kwawo wonke umuntu amnakekelayo, ngakhoi noma ngabe yini uNkulunkulu ayilungisela zonke izinto kanye nalokho akwenzela abantu, konke kuyisidingo Kuye, futhi kubaluleke kakhulu ekuphileni komuntu. Uma le mithetho ebekwe nguNkulunkulu ezintweni zonke bekungagudlukwa kuyo, uma le mithetho beyingephulwa noma ithikanyezwe, izinto zonke bezingeke zikwazi ukuqhubeka nokuba khona, izimo zenhlalo nokuphila kwabantu bezingeke ziqhubeke nokuba khona, ukunakekeleka kwansuku zonke, nabo bebengeyuba khona. Ngaleso sizathu, ukuphatha kukaNkulunkulu kokusindiswa kwabantu bekungeke kube khona nakho.

Yonke into esixoxe ngayo, noma incane kanjani, yonke inamathele yaxhumana nokuphila kwawo wonke umuntu ngamunye ngamunye. Nizothi-ke, “Lokhu okhuluma ngakho kukhulu kakhulu, asikwazi ukukubona,” kanti futhi kungaba nabantu abathi “Lokhu okhuluma ngakho akungithinti nakancane mina.” Nokho, ungakhohlwa ukuthi uphila njengengxenye yazo zonke izinto; uyilungu lazo zonke izinto ekubuseni kukaNkulunkulu. Azikwazi izinto zonke ukwehlukaniswa nokuphatha kukaNkulunkulu, kanti futhi akukho noyedwa umuntu ongazehlukanisa nokuphatha Kwakhe. Ukulahlekelwa ukubusa Kwakhe kanye nokulahlekelwa ukuhlinzeka Kwakhe kungasho ukuthi izimpilo zabantu, nokuphila kwabo enyameni kungashabalala. Lokhu ukubaluleka kukaNkulunkulu ekwakheni izimo zenhlalo nokuphila komuntu. Akunandaba ukuthi uyisiphi isizwe noma uhlala kuliphi izwe, kungaba seNtshonalanga noma eMpumalanga—awukwazi ukuzehlukanisa nezimo zenhlalo nokuphila ezenzelwe abantu nguNkulunkulu, nokuthi ngeke ukwazi ukuzehlukanisa wena nokunakekela kanye nokuhlinzekwa kwezimo zenhlalo nokuphila ezibekwe Nguye ezibekela abantu. Noma ngabe impilo yakho iyiphi, wethembele kukuphi ukuphila, futhi wethembele kukuphi ukugcina impilo yakho yenyama, awukwazi ukuzehlukanisa nokubusa kukaNkulunkulu nokuphatha Kwakhe. Abanye abantu bathi: “Angiyena umlimi, angiphili ngokutshala izitshalo. Angethembele emazulwini ukuthi ngithole ukudla, ngakho angiphili endaweni ebekwe nguNkulunkulu ukuthi ngiphile ngayo. Lolo hlobo lwendawo alukaze lunginike lutho.” Kulungile lokhu na? Uthi awutshali izitshalo ukuthi uphile, ngabe awukudli okusanhlamvu? Awuyidli inyama namaqanda? Awuyidli imifino nezithelo? Konke okudlayo, zonke lezi zinto ozidingayo, kazehlukaniseki nenhlalo ophila kuyo ebekelwe abantu nguNkulunkulu. Futhi umthombo wakho konke okudingwa ngabantu awukwazi ukwehlukaniswa nezinto zonke ezadalwa nguNkulunkulu, okuyizinhlobo zezindawo eziphilisayo. Amanzi owaphuzayo, izingubo ozigqokayo, kanye nazo zonke izinto ozisebenzisayo—yikuphi kulokho okungatholakali ezintweni zonke? Abanye abantu bathi: “Kukhona izinto ezingatholakali kwezinye izinto.” Uyabona, ipulastiki ayiveli kuzo zonke izinto. Iyikhemikhali, yakhiwe ngumuntu.” Kulungile lokhu? Ipulastiki yakhiwe ngumuntu, iyikhemikhali, empeleni zivelaphi izinto eziyakhile? Indabuko yezinto isezintweni ezadalwa nguNkulunkulu. Izinto ozijabulelayo, ozibonayo, into ngayinye kuzo zonke ozibonayo ivela kuzo zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, noma ngabe yisiphi isizwe, noma ngabe iyiphi impilo, noma ngabe luhlobo luni lwenhlalo nokuphila abantu abakuyo, abakwazi ukuzehlukanisa nokuhlinzeka kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 185)

Nokho ulwazi ngoNkulunkulu uma luluningi ezinhliziyweni zabantu yilo olukalayo ukuthi unasiphi isikhala ezinhliziyweni zabo. Nokho ulwazi oluningi ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo lubheke ukuthi mkhulu kangakanani uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Uma uNkulunkulu omaziyo engenalutho futhi engacacile, kungukuthi uNkulunkulu okholwa kuye akanalutho futhi akacacile. UNkulunkulu omaziyo uphelela kuphela emkhawulweni wokuphila kwakho, futhi akahlangene ngalutho noNkulunkulu oliqiniso uqobo Lwakhe. Ngalokho, ukwazi izenzo eziwuqobo zikaNkulunkulu, ukwazi ubuqiniso bukaNkulunkulu kanye namandla Akhe, ukwazi ubuqiniso bobuyena uNkulunkulu uqobo, ukwazi lokho anakho kanye nayikho, ukwazi lokho akukhombisile ngaphezu kwazo zonke izinto—lokho kubaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu olandela ulwazi lukaNkulunkulu. Lokhu kunemithelela eqondene ngqo nokuthi ingabe abantu bangangena yini oqotsheni lweqiniso. Uma ubeka imingcele ephelela emazwini kuphela ekuqondeni kwakho uNkulunkulu, uma ubeka imingcele ephelela olwazini lwakho oluncane, umusa kaNkulunkulu owubalayo, noma ubufakazi bakho obuncane kuNkulunkulu, ngalokho ngithi uNkulunkulu okholwa kuye akuyena ngempela uNkulunkulu weqiniso Uqobo Lwakhe futhi kungashiwo ukuthi uNkulunkulu omkholwayo unguNkulunkulu wokuzakhela engqondweni, akuyena uNkulunkulu weqiniso. Lokhu kungoba uNkulunkulu weqiniso nguye kuphela obusa phezu kwezinto zonke, lokho kuya kuzo zonke izinto, olawula izinto zonke. Nguye ophethe isigcino sabo bonke abantu—Nguye ophethe isigcino sayo yonke into. Imisebenzi kanye nezenzo zikaNkulunkulu engikhuluma ngaye kazigcini kuphela engxenyeni encane yabantu. Okungukuthi, akugcini nje kubantu abamlandelayo njengamanje. Izenzo Zakhe zivela kuzo zonke izinto, ekuqhubekeni nokuba khona kwazo zonke izinto, kanye nasemithethweni yokuguquka kwazo zonke izinto.

Uma ungakwazi ukubona noma ukuzwa noma yisiphi isenzo sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngeke ukwazi ukuba ngufakazi wezenzo Zakhe. Uma ungakwazi ukuba ngufakazi kaNkulunkulu, uma uqhubeka nokukhuluma ngoNkulunkulu omncane lo omaziyo, lo Nkulunkulu ophelela emibonweni yakho kuphela, osemqondweni wakho omfushane, uma uqhubeka nokukhuluma ngalolo hlobo lukaNkulunkulu, ngalokho uNkulunkulu akasoze akuncoma ukukholwa kwakho. Uma unobufakazi ngoNkulunkulu, uma usebenzisa ukuthi uwujabulela kanjani umusa kaNkulunkulu, wamukela ukuyala kukaNkulunkulu kanye nokuthobisa Kwakhe, ujabulela izibusiso Zakhe ebufakazini bakho Ngaye, lokho akwanele kakhulu, kukude nokumanelisa. Uma ufuna ukuba nobufakazi kuNkulunkulu ngendlela ehambisana nentando Yakhe, unobufakazi ngoNkulunkulu uqobo oliqiniso, ngaleyo ndlela kumele ukubone lokho uNkulunkulu anakho nayikho ukubona ezenzweni Zakhe. Kumele ubone igunya likaNkulunkulu ekulawuleni Kwakhe zonke izinto, bese ubona iqiniso lokuthi ubahlinzeka kanjani abantu bonke. Uma wamukela kuphela ukuthi ukudla kwakho nokuphuza kwansuku zonke nokuthi izidingo zakho empilweni zivela kuNkulunkulu, kodwa ungaliboni iqiniso lokuthi uNkulunkulu uhlinzekela bonke abantu ngezinto zonke, ukuthi uhola bonke abantu ngokubusa Kwakhe phezu kwazo zonke izinto, ngalokho awusoze wakwazi ukuba nobufakazi ngoNkulunkulu. Yini inhloso yami ngokusho konke lokhu? Ukuze ningakuthathi kalula lokhu, ukuze ningakholwa nje ukuthi lezi zihloko engikhulume ngazo azinasidingo ezimpilweni zenu, futhi ukuze ningazithathi lezi zihloko njengohlobo nje lolwazi noma lomthetho. Uma nilalela ngaleyo ndlela yokuziphatha, ngeke nizuze lutho. Nizolilahla leli thuba lokwazi uNkulunkulu.

Yini inhloso yami ekukhulumeni ngazo zonke lezi zinto? Inhloso yami ukwenza abantu bamazi uNkulunkulu, ukwenza abantu baqonde izenzo zikaNkulunkulu ezibonakalayo. Uma sewumqonda uNkulunkulu uzazi nezenzo Zakhe, kungaleso sikhathi kuphela lapho uzoba nethuba khona noma namandla okumazi. Uma, ngokwesibonelo nje, ufuna ukuqonda umuntu, wenza njani ukuthi umazi? Ngabe kuba ukumbona ingaphandle lakhe? Ngabe kuba ukumbuka ukuthi ugqokeni, ugqoke kanjani? Ngabe kuba ukubheka ukuthi uhamba kanjani? Kungaba ukubheka ukuthi ulwazi lwakhe lugcinaphi? (Cha.) Ngakho umqonda kanjani umuntu? Wahlulela ngokukhuluma kwakhe kanye nokuziphatha, ngemicabango yalowo muntu, ngakushoyo nakuvezayo. Yiyona ndlela lena ongamazi ngayo umuntu, ongamqonda ngayo. Ngokunjalo, uma nifuna ukwazi uNkulunkulu, uma nifuna ukuqonda izibonakaliso Zakhe, uhlangothi Lwakhe oluyiqiniso, kumele nimazi ngezenzo Zakhe kanye nangento ngayinye ayenza ibe yisibonakaliso. Lena iyona ndlela enhle kunazo zonke, futhi ngukuphela kwendlela leyo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 186)

Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wasebenzisa zonke izinhlobo zezindlela namasu ukuletha ukulingana kuzo, ukulinganisa izimo zenhlalo nokuphila ezintabeni nasemachibinikazi, ukulinganisa izimo zokuphila ezitshalweni kanye nasezinhlotsheni zonke zezilwane, izinyoni, izinambuzane—inhloso yakhe kwakungukuvumela zonke izinhlobo zokuphilayo ukuthi kuphile kwande kulandela imithetho ayeyibekile. Azikho izinto zendalo ezingaphuma kule mithetho, futhi ayikwazi ukwephulwa. Kukulolu hlobo lwempilo ejwayelekile lapho abantu bekwazi khona ukuphila ngokuphepha bande, izizukulwane ngezizukulwane. Uma izidalwa eziphilayo zeqa inani noma imikhawulo ebekwe nguNkulunkulu, noma zeqa isivinini ezikhula ngaso, izikhathi, noma inani lazo ngaphansi kokubusa Kwakhe, isimo senhlalo nokuphila komuntu kungahlukumezeka ngamazinga ahlukahlukene okuphazamiseka. Ngasikhathi sinye, ukuphila komuntu kungaba sengcupheni. Uma uhlobo olulodwa lwezidalwa eziphilayo lulukhulu ngesibalo, luzoqola abantu ngokudla, kubhidlike imithombo yamanzi abantu, kuphinde kulimale izindawo zabantu. Ngaleyo ndlela, ukuzalana kwabantu noma indlela abaphila ngayo kungathinteka masinya. Isibonelo, amanzi abalulekile kukho zonke izinto. Uma kuba namagundane, izintuthwane, isikhonyane, namasele, noma zonke izinhlobo zezinye izilwane okuningi kakhulu, ziyophuza amanzi amaningi ngokwengeziwe Uma inani lamanzi eziwaphuzayo likhula, kuleli nani lemithombo yamanzi okuphuza elimisiwe kanye nezindawo zamanzi, amanzi okuphuzwa ngabantu kanye nemithombo yawo kuzoncipha, bese beweswela amanzi. Uma amanzi aphuzwa ngabantu onakala, engcola, noma enqamuka ngenxa yazo zonke izinhlobo zezilwane esezandile ngesibalo, kuleso simo senhlalo nokuphila, ukuphila komuntu kuzophazamiseka ngokujulile. Uma kuba nohlobo olulodwa noma izinhlobo eziningi zezinto eziphilayo okwedlula inani elifanele, umoya, amazinga okushisa, umhwamuko, kanye nobungako bomoya endaweni okuphila kuyo umuntu kuzoba noshevu ozokubhidliza ngamazinga angafani. Ngokunjalo, ngaphansi kwalezi zimo, ukuphila kanye nesigcino somuntu kuzoba sengcupheni kuleyo ndawo nenhlalo. Ngakho, uma abantu belahlekelwa ngukulingana, umoya abawuphefumulayo uzokonakala, amanzi abawaphuzayo azongcola, kuthi amazinga okushisa abawadingayo aguquke, athinteke ngezindlela ezahlukahlukene. Uma lokho kwenzeka, izindawo zokuphila ezingezesintu ngokwendalo zizothinteka ngokubanzi futhi zibhekane nezinselele. Ngaphansi kwalolu hlobo lwesimo lapho izindawo zenhlalo nokuphila kwabantu sekubhidlikile khona, siyoba yini isigcino somuntu kanye nezinto zakhe? Yinkinga ejulile kakhulu lena! Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyazi ukuthi ziyini zonke izinto kubantu, neqhaza lazo zonke izinto azidala, luhlobo luni lwethonya ezinalo kubantu, nokuthi inzuzo eziyiletha kumuntu inkulu kangakanani—enhliziyweni kaNkulunkulu ikhona indlela yakho konke lokhu futhi Nguye olawula konke kuzo zonke izinto azidala, ngakho-ke ngokwenzela abantu, zonke izinto azenzayo zibalulekile kakhulu—ziyisidingo esikhulu. Ngalokho lapho ubona izinto ezithile zezindawo phakathi kwezinye, noma imithetho ethile yemvelo kwezinye izinto, imithetho phezu kwezinye izinto, ngeke usasingabaza isidingo sento ngayinye eyadalwa nguNkulunkulu. Ngeke usawasebenzisa amazwi anokungazi ukwenza izahlulelo ezingekho emthethweni ngohlelo lukaNkulunkulu ezintweni zonke kanye nasezindleleni ezahlukahlukene ahlinzeka ngazo umuntu. Ngeke futhi wenze izahlulelo budlabha ngemigomo kaNkulunkulu ezintweni zonke azidala.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 187)

Ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, uma abantu kunezinto nezehlakalo abangaziqondi, bangafuna ulwazi ngalezo zinto, kungenjalo kukhona nezinye izinhla abangazisebenzisa ukuthola imvelaphi kanye nezincazelo ngalezo zinto. Kodwa uma kuyiwa kulona omunye umhlaba okuyiwo esikhuluma ngawo namuhla—umhlaba kamoya otholakala ngale komhlaba wezinto ezibambekayo—abanazo abantu izinsiza noma izinhla zokubasiza ukuthi bafunde noma yini ngawo. Kungani ngisho kanje? Kungoba emhlabeni wabantu, yonke into ethintana nomhlaba wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nobukhona bomuntu, kanti ngenxa yokuthi abantu bakholwa ukuthi yonke into emhlabeni wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nempilo yabo ebuswa yizinto ezibambekayo, abaningi bazi leyo mpilo noma bayayibona kuphela, babona izinto ezibambekayo eziphambi kwamehlo abo kuphela, izinto ezibonakala kubo. Bese kuzothi uma kubhekiswa emhlabeni kamoya—okungukuthi, yonke into engeyomhlaba lona omunye—kuba yinto evumelekile ukuthi sithi abaningi kubantu abakholwa. Ngoba abantu abakuboni, futhi bakholwa ukuthi akudingeki baziqonde lezo zinto, noma bazazi, bangasho lutho futhi ngokuthi kuza kanjani ukuthi umhlaba kamoya wehluke kakhulu kangaka emhlabeni wezinto ezibambekayo futhi, kuNkulunkulu, kuvulekile—nakuba, kubantu, kuyimfihlo futhi akuvulekile—ngakho kulukhuni ukuthi abantu bathole indlela yokuqonda izingxenye ezehlukahlukene zalo mhlaba. Izingxenye ezehlukene engizokhuluma ngazo ngomhlaba kamoya zithinta ubukhulu kanye nokuphatha kukaNkulunkulu. Angembuli imimangaliso, noma nginitshele ngezimfihlo enifisa ukuzithola, ngoba lokho kuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu, indlela aphatha ngayo, kanye nendlela uNkulunkulu ahlinzekela ngayo, ngalokho ngizokhuluma ngohlangothi okubalulekile ukuthi nilwazi.

Okokuqala, manginibuze umbuzo: Ngokwemiqondo yenu, yini umhlaba kamoya? Uma sikhuluma nje jikelele, lowo umhlaba ongale komhlaba wezinto ezibambekayo, umhlaba ongabonakali futhi ongathinteki kubantu. Kodwa ekucabangeni kwenu, ungaba luhlobo luni lomhlaba umhlaba kamoya? Mhlawumbe, ngenxa yokungakwazi ukuwubona, anikwazi ukwakha isithombe sawo emiqondweni. Kodwa uma nizwa izindaba zawo, nisangacabanga angeke nikwazi ukuzibamba. Ngikushiso yini lokhu? Ziningi izinto ezenzeka kubantu uma besebasha: uma kukhona umuntu obaxoxela indaba eyethusayo—ngezipoki, ngemiphefumulo—bethuka kakhulu. Kungani bethuka? Kungoba basuke bakubone ngamehlo engqondo lokho; nakuba bengakwazi ukukubona ngqo, bacabanga ukuthi kukhona ngaphakathi endlini, kuzifihle ndawana thile, mhlawumbe ebumnyameni, bethuke ngendlela yokuthi behluleke nokulala. Ikakhulukazi ebusuku, abakwazi nokuhlala bodwa endlini, noma babe bodwa emnyango. Lowo umhlaba kamoya uma wakheka emiqondweni wenu, umhlaba abantu abacabanga ukuthi uyesabeka. Empeleni, wonke umuntu unakho ukubona ngamehlo engqondo, futhi wonke umuntu uyakwazi ukuzwa okuthile.

Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. Kungoba uyindawo engahlukaniseki nezinzwa ezinhlanu, akekho okwazi ukunquma ukuthi lo mhlaba ukhona noma kawukho yini. Okuqhubekayo ngomhlaba kamoya kunamathelene ngqo nobukhona bomuntu, okunomphumela wokuba ukuphila kwesintu kuthonywe kakhulu ngumhlaba womoya. Kungabe lokhu kuyathintana nobukhulu bukaNkulunkulu? Yebo. Ngokusho kwami lokhu, seniyabona ukuthi kungani sixoxa ngalesi sihloko: Kungoba sithinta ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuphatha Kwakhe. Emhlabeni ofana nalona—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. Kungabe lokhu kwehlukile kulokho komhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo abantu? Kwehluke kakhulu. Umhlaba ongafani nhlobo nomhlaba wezinto ezibambekayo. Njengoba kunemigomo nemithetho ezulwini, ithintana nobukhulu bukaNkulunkulu, ukuphatha, kanye, ngaphezu kwalokho, nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nayikho. Lokhu njengoba sekuzwakele, anicabangi ukuthi kuyisidingo kimi ukuthi ngikhulume ngalesi sihloko? Kungabe aninaso isifiso sokufunda izimfihlo zangaphakathi? (Yebo, siyafisa.) Leso yisimo somhlaba kamoya. Nakuba ukhona kanye nomhlaba wezinto ezibambekayo, ngokulingana futhi ukuphathwa nguNkulunkulu ngobukhulu Bakhe, ukuphatha kanye nobukhulu bukaNkulunkulu kulo mhlaba kunqala kakhudlwana kunokomhlaba wezinto ezibambekayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 188)

Abantu bomhlaba, ngingabehlukanisa izigaba ezintathu ngokwezinhlobo. Uhlobo lokuqala ngabangakholwa, okuyilabo abangenayo inkolo. Babizwa ngabangakholwa. Abaningi balabo abangakholwa bakholelwa emalini, balandela izinhloso zabo, bangabantu bezinto ezibambekayo, bakholelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo, hhayi ekuphileni kanye nasekufeni, noma ekukhulumeni ngemimoya nezipoki. Ngibafaka esigabeni sabangakholwa, kanti bona-ke bawuhlobo lokuqala. Uhlobo lwesibili ngabantu abambalwa abakholwayo ngaphandle kwabangakholwa. Kulabo bantu, laba abakholwayo ngibehlukanisa ngezinhlobo ezimbalwa ezinkulu: uhlobo lokuqala ngamaJuda, olwesibili amaKhatholika, olwesithathu ngamaKrestu, olwesine ngamaMuslim, olwesihlanu amaBuddha—kunezinhlobo ezinhlanu. Yizo lezi izinhlobo ezahlukahlukene zamakholwa. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholelwa kuNkulunkulu, labo bayakuthinta nawe. La makholwa yilawo akholelwa kuNkulunkulu namuhla. Laba bantu bahlukaniseka izinhlobo ezimbili: yilabo abakhethwe uNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Lezi zinhlobo ezibalulekile zihlukaniswe ngokucacile. Manje, emqondweni yenu seniyakwazi ukuhlukanisa ngokucacile izinhlobo kanye namazinga abantu, angithi? Abokuqala ngabangakholwa—sengishilo ukuthi abangakholwa ngabanjani. Ngabe labo abakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni babalwa njengabangakholwa? Abaningi kwabangakholwa bakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni; bakholwa ukuthi umoya, imvula, ukuduma kwezulu yizinto ezilawulwa yile Ndoda Endala Esesibhakabhakeni, yiyo abethembele kuyo uma belima izitshalo bevuna—kodwa uma kukhulunywa ngokukholelwa kuNkulunkulu abavumi. Singakubiza lokho ngokukholwa wuNkulunkulu? Abantu abanjalo bawela ngaphansi kwabangakholwa. Niyakuqonda lokhu, angithi? Ningazididi lezi zinhlobo. Uhlobo lwesibili ngabantu bokholo. Uhlobo lwesithathu yilabo abalandela uNkulunkulu namhlanje. Futhi kungani ngehlukanise abantu ngabafaka kulezi zinhlobo? (Kungoba izinhlobo ezahlukahlukene zabantu zinesiphetho esehlukene futhi lapho beya khona kwehlukene.) Wuhlangothi olulodwa lolo. Kungoba, kuyothi lapho lezi zinhlobo ezahlukene zabantu zibuyela emhlabeni kamoya, uhlobo ngalunye luyoba nendawo ehlukile oluyoya kuyo, ziyobhekana nemithetho engafani kwethinta ukuphila nokufa, kanti yiso isizathu lesi esenza ukuthi ngibehlukanise izinhlobo ezibalulekile ezahlukahlukene.

Ukufa nokuphila kwabangakholwayo

Masiqale ngokufa nokuphila kwabangakholwayo. Emva kokuthi umuntu afe, uthathwa asuswe ahanjiswe yisithunywa esivela emhlabeni kamoya. Sizothi yini yakhe esuswayo? Akuyona inyama, kodwa umphefumulo. Uma ususwa umphefumulo wakhe, ufikela endaweni esebenzela umhlaba kamoya, okuyindawo eyamukela imiphefumulo yabantu abafile. (Qaphela lokhu: Indawo yokuqala afikela kuyo umuntu ofile awuyazi umphefumulo.) Uma efika kule ndawo, kunesisebenzi esimhlolayo, esiqinisekisa igama lakhe, ikheli, iminyaka yobudala nakho konke ahlangane nakho empilweni yakhe. Konke akwenzile esaphila kubhalwa encwadini kuqinisekiswe ukuthi kushaya emhlolweni. Uma sekuhloliwe konke, ukuziphatha kwakhe lowo muntu kanye nezenzo zakhe empilweni yakhe yonke kusetshenziselwa ukuthola ukuthi kumele ajeziswe noma aqhubeke nokuvuselelwa njengomuntu, okuyisigaba sokuqala. Ngabe siyethusa lesi sigaba sokuqala? Asethusi kakhulu, ngoba into yokuqala eseyenzekile ukuthi lo muntu usefikile endaweni emnyama nengajwayelekile.

Esigabeni sesibili, uma lo muntu enze izinto ezimbi eziningi empilweni yakhe yonke, enze izenzo ezingezinhle, uzobe eseyiswa endaweni yesijeziso ayojeziswa. Yiyona ndawo ngokukhethekile ebekelwe ukujezisa abantu. Imininingwane yokujeziswa kwakhe incike ezonweni azenzile, nokuthi zingaki izinto ezimbi azenzile ngaphambi kokuthi afe—okuyisimo sokuqala esifika uma usesigabeni sesibili. Ngenxa yezinto ezimbi azenzile nobubi abenzile ngaphambi kokufa, uma ebuyiselwa enyameni emva kokujeziswa—uma ephinda futhi ezalelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo—abanye abantu bazoqhubeka babe ngabantu, abanye babe yizilwane. Lokho kusho ukuthi, emva kokuba umuntu ebuyele emhlabeni kamoya, uyajeziswa ejeziselwa ububi abenzile; ngaphezu kwalokho, ngenxa yezinto ezimbi azenzile, ukubuyiselwa enyameni okulandelayo okungenzeka kakhudlwana ukuthi akabi ngumuntu, kodwa uba yisilwane. Izilwane abangaba yizo abanjengaye zibandakanya izinkomo, amahhashi, izingulube, kanye nezinja. Abanye abantu bangaba yizinyoni esibhakabhakeni, noma amadada noma amahansi…. Emva kokubuyiselwa enyameni babe yizilwane, uma sebefa babuyela emhlabeni kamoya, bese, njengakuqala, ngokokuziphatha kwabo kokuqala uma sebefa manje umhlaba kamoya uzokhetha ukuthi babuyiselwa enyameni babe ngabantu yini noma cha. Abaningi abantu benza ububi obukhulu, izono zabo zimbi kakhulu, ngalokho uma bebuyiselwa enyameni baba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili—kuyesabisa lokho? (Kuyesabisa.) Yini eniyesabayo nina? Ukuthi umuntu abe yisilwane, kuyesabisa lokho. Kumuntu, yini esingathi ibuhlungu ngokuphenduka isilwane? Ukungabi nalulimi ozolukhuluma, ukuba nemicabango elula, ukukwazi kuphela ukwenza izinto ezenziwa yizilwane nokudla izinto ezidliwa yizilwane, ukuba nomqondo ongajulile kanye nokusebenzisa umzimba ukudlulisa imilayezo njengesilwane, ukungakwazi ukuhamba uqondile, ukungakwazi ukukhuluma nabantu, nokuthi akukho ukuziphatha kwabantu nezinto abazenzayo ezibahlanganisa nezilwane. Okusho ukuthi, kuzo zonke izinto, ukuba yisilwane kukwenza umuntu osezingeni eliphansi kunazo zonke izinto eziphilayo, futhi kubuhlungu kakhulu kunokuphila njengomuntu phaqa. Eyodwa lena yezinto zomhlaba kamoya eziyisijeziso kulabo abenze ububi benza nezono ezinkulu. Uma kubhekiswa ebunzimeni besijeziso, lokho kuya nokuthi silwane sini umuntu aphenduka abe yiso. Isibonelo, ngabe ukuba yingulube kungcono kunokuba yinja? Ngabe ingulube iphila impilo engcono kuneyenja? Embi kakhulu, angithi? Uma umuntu eba yinkomo noma yihhashi, ngabe uzo phila kangcono kunengulube? (Kangcono.) Ngabe umuntu uzophila kangcono uma eyikati? Ubeyoba yisilwane ngokufanayo nje, futhi ukuba yikati bekuyoba lula kangcono kunokuba yihhashi noma inkomo, ngoba amakati ayaphumelela ukuvilapha isikhathi esiningi elele. Ukuba yinkomo noma yihhashi kunomsebenzi omkhulu, ngakho uma abantu bebuyiselwa enyameni ngokuphendulwa inkomo noma ihhashi, kumele basebenze kanzima—okubukeka kuyisijeziso esisindayo. Ukuba yinja kuthe ukuba ngcono kunokuba yinkomo noma yihhashi ngoba inja inobuhlobo obuhle nomniniyo. Ezinye izinja, emva kokufuywa iminyaka embalwa ziyakwazi ukukuqonda okuningi okushiwo abaninizo. Ngezinye izikhathi, inja iyakwazi ukuhambisana nendlela umniniyo azizwa ngayo kanye nezidingo zakhe, ngakho umniniyo uyiphatha kangcono, bese idla kahle iphuza kahle, futhi uma igula inakekelwa kakhulu—ngabe inja ayiphili impilo emnandi? Ngaleyo ndlela ukuba yinja kungcono kunenkomo noma ihhashi. Kulokhu, ubunzima besijeziso somuntu buvezwa ukuthi ubuyiselwa izikhathi ezingaki enyameni njengesilwane, nokuthi abe yiluphi uhlobo lwesilwane.

Kungoba benze izono eziningi besaphila, abanye abantu bazojeziswa ngokubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Uma isijeziso sesithathe izikhathi eziningi ngokwanele, uma umuntu ebuyela emhlabeni kamoya udluliselwa kwenye indawo. Imiphefumulo eyahlukahlukene kule ndawo seyisitholile isijeziso, manje izobe seyiba sezingeni lokubuyiselwa enyameni ibe ngabantu. Le ndawo ihlukanisa imiphefumulo ngokwezinhlobo ukuthi izoya kuluphi uhlobo lomndeni uma izalwa, ukuthi izobamba liqhaza lini uma seyibuyiselwe enyameni, kanjalo kanjalo. Isibonelo, abanye abantu baba ngabaculi uma befika kulo mhlaba, bese bebekwa eqeqebeni labaculi; abanye bazoba ngosomabhizinisi uma befika kulo mhlaba, bese babekwe eqeqebeni losomabhizinisi, kuthi uma umuntu ezoba ngumcwaningi owusosayensi uma eba ngumuntu, abekwe eqeqebeni labacwaningi bezesayensi. Uma sebefakiwe emikhakheni yabo, umuntu ngamunye uthunyelwa ngesikhathi esihlukile nangosuku olukhethiwe, kufane nendlela abantu abathumela ngayo ama-imeyili namhlanje. Ngalokhu umuntu useqede umzuliswano owodwa wokuphila nokufa. Kusukela ngosuku umuntu afika ngalo emhlabeni kamoya kuze kuphele isijeziso sakhe, noma aphendulwe isilwane kaningi, futhi elungiselela ukubuyiselwa ekubeni ngumuntu, le nqubo iphelele.

Futhi ngabe labo abaqede izijeziso zabo, futhi abangabuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane, bayothunyelwa masinya emhlabeni wezinto ezibambekayo ukuze bazalwe njengabantu? Noma, kuyothatha isikhathi esingakanani ukuthi bafike phakathi kwabantu? Kungenzeka ngokulandelana kangakanani lokhu? Kunemikhawulo yesikhashana kulokhu. Konke okwenzeka emhlabeni kamoya kulawulwa imikhawulo nemithetho efanele—uma ngingachaza ngokusebenzisa izinombolo, nizoqonda. Kulabo ababuyiselwa enyameni ngokuthatha isikhathi esincane, uma befa ukuphinda bazalwe njengabantu kuyalungiselelwa. Isikhathi esifushane kunazo zonke kuba yizinsuku ezintathu. Kwabanye abantu, kuba yizinyanga ezintathu, kwabanye kube yiminyaka emithathu, kuthi kwabanye kube yiminyaka engamashumi amathathu, kanti kwabanye kuba ngamakhulu amathathu eminyaka, njalo-njalo. Yini-ke engaphawulwa ngale mithetho yesikhashana, yini eyiqukethe ngempela? Isekelwe kulokho umhlaba wezinto ezibambekayo, umhlaba wabantu okudinga emphefumulweni kanye neqhaza elizobanjwa yilo mphefumulo emhlabeni. Uma abantu bebuyiselwa enyameni njengabantu abejwayelekile, abaningi babo babuyiselwa enyameni masinya, ngoba umhlaba wabantu unesidingo esikhulu sabantu abanjalo, bese bebuyiselwa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo emindenini ehlukile kunale abebekuyo ngaphambi kokufa. Kodwa kukhona labo abadlala indima ekhethekile kulo mhlaba. “Ekhethekile” kusho ukuthi asikho isidingo esikhulu salaba bantu emhlabeni wabantu; ababaningi okudingeka badlale leyo ndima, ngakho kungathatha iminyaka engamakhulu amathathu. Ngamanye amazwi, lo mphefumulo uzobuya kanye njalo emva kweminyaka engamakhulu amathathu, noma kube kanye emva kweminyaka eyizinkulungwane ezintathu. Kungani kunjalo? Kungoba eminyakeni engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu aludingeki lolo hlobo lomuntu emhlabeni wabantu, ngalokho bagcinwa endaweni ethile emhlabeni kamoya. Masibheke umuntu onjengoConfucius, njengesibonelo. Wayenethonya elijulile emasikweni omdabu eChina. Ukufika kwakhe kwaba nomphumela omkhulu emasikweni, olwazini, kokomdabu, kanye nasekucabangeni kwabantu bangaleso sikhathi. Kodwa umuntu onjengalona akadingeki minyaka yonke, kwabe sekudingeka ukuthi ahlale emhlabeni kamoya, walinda khona iminyaka engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu ngaphambi kokuthi abuyiselwe enyameni. Kungoba umhlaba wabantu wawungamdingi umuntu onjengalona, kwadingeka alinde engenzi lutho, ngokuthi kwakunesidingo esincane somuntu onjengaye, kwabe kukuncane okwakumele akwenze, ngakho kwadingeka agcinwe ndawana thile emhlabeni kamoya isikhathi esithile, engenzi lutho, nokuze akhishelwe emhlabeni womuntu uma sewumdinga. Lena yimithetho yokomoya yesikhashana eholela ekuthini abantu babuyiselwe enyameni. Noma bangaba ngabantu abejwayelekile noma abakhethekile, umhlaba kamoya unemithetho efanele nezindlela ezinembayo ukwenza umsebenzi wokubuyisela enyameni abantu, futhi le mithetho kanye nezindlela kuvela kuNkulunkulu, ayinqunywa noma ilawulwe yisithunywa noma ibe semhlabeni kamoya.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 189)

Emphefumulweni noma yimuphi, ukubuyiselwa esimweni somuntu, ukuthi yiliphi iqhaza lawo kule mpilo, ukuthi uzalelwa kumuphi umndeni, nokuthi impilo yawo injani kuncike empilweni yawo edlule. Zonke izinhlobo zabantu ezifika kulo mhlaba wabantu, iqhaza ezilibambayo kalifani, njengemisebenzi eziyenzayo lezi zinhlobo. Yimiphi leyo misebenzi? Abanye abantu bafikela ukuzokhokha izikweletu kule mpilo: Uma bebekweleta abanye izimali eziningi empilweni yabo edlule, bayazikhokha lezo zikweletu. Abanye abantu, ngaleyo nkathi, babuyela ukuzoqoqa izikweletu: Babeqolwe izinto eziningi, nemali eningi empilweni yabo edlule, emva kokufika emhlabeni kamoya banikwa ubulungiswa bavunyelwe ukuzoqoqa izikweletu kule mpilo. Abanye abantu babuyela ukuzokhokha izikweletu zokubonga: Empilweni yabo edlule—ngaphambi kokuthi bafe—kunomuntu osuke eye waba nomusa kubo, kuthi empilweni yabo yamanje banikwe ithuba elikhulu lokubuyiselwa enyameni bazalwe futhi ukuba bazokhokha isikweletu sokubonga. Abanye, ngaleyo nkathi, baphinde bazalwa kulesi sikhathi samanje ukuba bathole ukuphila nje. Iyiphi impilo abayitholayo? Kusuke kunomuntu obabulele empilweni yabo edlule. Uma sihlanganisa, wonke umuntu ophilayo manje impilo yakhe ihlobene nempilo yakhe edlule, ihlobene ngokungehlukaniswe. Okusho ukuthi, impilo yomuntu wonke ophila manje ithola ithonya empilweni yakhe eyedlule. Isibonelo, ngaphambi kokuthi afe uZhang wenza inkohlakalo ngemali kaLi eningi kakhulu. Ngabe uZhang unesikwelethu esikhulu kuLi? Ngoba kunjalo, ngabe kuyimvelo ukuthi uLi aqoqe isikweletu sakhe kuZhang? Ngakho, emva kokufa kwabo, kunesikweletu okufanele sikhokhwe phakathi kwabo. Uma bebuyiselwa enyameni uZhang bese eba ngumuntu, ngabe uLi usiqoqa kanjani isikweletu sakhe kuye? Kokunye okungenzeka ukuthi uLi azalwe njengendodana kaZhang bese siqoqeka isikweletu. UZhang uthola imali eningi, futhi ilokhu idliwa nguLi nje. Noma angathola malini uZhang, uLi indodana yakhe uyayidla. Noma angathola malini uZhang, ayeneli, umfana wakhe, ngaleso sikhathi, ngasizathu sithile uzithola edla imali kayise ngezindlela eziningi ezahlukene. UZhang udidekile nje: “Kungani indodana yami imosha nje? Kungani amadodana abanye abantu eziphethe kahle kangaka? Kungani indodana yami ingenanhloso enhle empilweni, kungani ingento yalutho ingakwazi ukuzenzela imali ngokwayo, kungani kudingeka njalo ngiyixhase? Ngoba kudingeka ngiyixhase, ngizoyixhasa-ke, kungani kodwa ukuthi noma ngingayinika malini, idinga enye eningi futhi? Kungani ingenzi umsebenzi wosuku nje onokwethembeka, kodwa iyokwenza noma yini—iyalova, iyadla, iyaphuza, iyafeba, futhi iyabheja. Kwenzekani nje kimi?” UZhang athi ukucabanga kancane: “Kungenzeka kambe ukuthi kungoba bengimkweleta imali empilweni edlule. Kuhle-ke, ngizosikhokha isikweletu! Ngeke kuphele lokhu ngize ngisikhokhe sonke ngokuphelele!” Lungafika usuku lapho uLi esithola khona sonke isikweletu sakhe, kuthi ngenkathi efika eminyakeni engamashumi amane noma amahlanu, kufike usuku lapho efikelwa khona wumcabango ophusile: “Angenzanga lutho oluhle kuwo wonke uhhafu wokuqala wempilo yami! Ngiyidle yonke imali ubaba ayisebenzile—kumele ngiziphathe kahle! Ngizolungisa isimo sami: Ngizokwethembeka, ngiphile impilo efanele, ngingaphindi ngimkhubekise ubaba futhi!” Kungani ecabanga ngale nto? Kungani eseguquka manje eba ngumuntu okahle? Ngabe sikhona isizathu salokhu? Siyini sona leso sizathu? (Ngoba uLi usesiqoqe sonke isikweletu sakhe; uZhang usesikhokhile isikweletu. Kulokhu, kukhona imbangela nomphumela. Indaba yaqala kudaladala, ngaphambi kokuthi bazalwe bobabili, futhi le ndaba yabo yempilo edlule ibuyiselwe empilweni yamanje, akekho kubo ozolahla omunye ngecala. Lokhu nalokhuya uZhang ayifundise khona indodana yakhe, ayizange ikulalele, ayizange yenze nomncane umsebenzi noma ngowosuku nje—kodwa kuthe ngosuku isikweletu esaphela ngalo, akubanga khona sidingo sokuthi ayifundise indodana yakhe; yavele yaqonda izinto ngokwemvelo. Yisibonelo esilula njena lesi. Zikhona yini eziningi ezinye izibonelo ezifana nalezi? (Yebo) Futhi kusho ukuthini kubantu lokhu? (Ukuthi kumele baziphathe kahle futhi bangenzi okubi.) Ukuthi akumele benze okubi, kuzoba khona imiphumela engemihle kubo ngokwenza okubi! Abaningi abangakholwa benza okubi, kanti ububi ababenzile sebube nayo imiphumela engemihle kubo, angithi kunjalo? Kungabe-ke imiphumela engemihle kubo ayibafanele? Konke okuholele emiphumeleni engemihle kubo kunesizathu. Ucabanga ukuthi akukho okuzokwenzeka kuwe uma wenze inkohlakalo kumuntu ngemali yakhe? Ucabanga ukuthi, emva kokuqola umuntu imali, akukho miphumela kuwe emva kokuthatha imali yakhe? Ngeke kungenzeki lutho, futhi kuyoba khona imiphumela! Kungakhathaleki ukuthi bangobani, noma bayakholwa noma cha ukuthi uNkulunkulu ukhona, wonke umuntu kumele azithwalele yena imiphumela yokuziphatha kwakhe, amukele okulandela emva kwezenzo zakhe. Mayelana nalesi sibonelo esilula—uZhang esejezisiwe, noLi esekhokhelekile—akwamukelekile lokhu? Uma abantu benza izinto ezinjena, kukhona imiphumela enjalo emelwe ukuba khona. Akuhlukaniseki nokuphathwa komhlaba kamoya. Phezu kokuba bengabangakholwayo, labo abangakholwa uNkulunkulu, ubukhona babo buyayithinta inqubo yezulu nemiyalelo yalo okungekho noyedwa ongayibalekela futhi akekho okwazi ukuvika leli qiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 190)

Labo abangenakho ukukholwa bavame ukukholwa ukuthi yonke into ebonakalayo ikhona, kanti konke okungabonwa, noma okukude kakhulu nabantu, akukho. Bakhetha ukukholwa ukuthi ayikho into okuthiwa “yisikhathi sokuphila nokufa,” futhi asikho “isijeziso,” ngakho bayona benze isono ngaphandle kokuzisola—emva kwalokho bajeziswe, noma babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane. Iningi kulabo abangakholwayo bawela kulo mzuliswano onzima. Lokhu kungoba abazi ukuthi umhlaba kamoya uqinisa isandla ekuphatheni kwawo konke okuphilayo. Noma ngabe uyakholwa noma awukholwa, leli qiniso limile, ngokuthi akukho noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuvika lokho uNkulunkulu akubonayo ngamehlo Akhe, akekho futhi noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuphunyula emithethweni kanye nasemikhawulweni yezulu nemiyalelo kaNkulunkulu. Kanjalo futhi lesi sibonelo esilula sitshela wonke umuntu ukuthi noma uyakholwa noma kawukholwa uNkulunkulu, akwamukelekile ukwenza isono nokwenza okubi, futhi kunemiphumela. Uma kungukuthi umuntu oqole omunye imali uthola isijeziso esinje, leso sijeziso simfanele. Ngokujwayelekile kwesikubonayo okufana nalokhu okuthola isijeziso emhlabeni kamoya, kungukujeziswa okuvela ngemiyalelo kanye nemigomo kaNkulunkulu, ngakho ukuziphatha okunobugcwelegcwele nobubi—ukudlwengula nokuqola, ukukhwabanisa nokukhohlisa, ukweba nokubamba inkunzi ukubulala nokuthungela ngomlilo, kanjalo kanjalo—kuholela ezijezisweni eziningi ezinamazinga angalingani ngobunzima. Zibandakanya ini nani lezi zijeziso ezehlukene ngamazinga obunzima? Ezinye zazo zithatha isikhathi ukufinyelela ezingeni lobunzima, ezinye zikwenza lokho ngezindlela ezahlukahlukene, kuthi ezinye zikwenze ngendawo lapho abantu beya khona uma bebuyiselwa enyameni. Isibonelo, abanye abantu banokukhuluma kabi. Kusho ukuthini “ukukhuluma kabi”? Kusho ukukhipha inhlamba wethuke abanye kanye nokusebenzisa ulimi olunendelelo, ulimi oluqalekisa abantu. Yini ebalulwa wulimi olubi? Lubalula ukuthi lowo muntu unenhliziyo embi. Ulimi olubi oluqalekisa abanye abantu luvame ukuvela emilonyeni yabantu abanjalo, kanti lolo lulimi olubi luhambisana nemiphumela enzima. Emva kokuthi laba bantu bafe bathola isijeziso esifanele, bangazalwa futhi kodwa bazalwe beyizimungulu. Abanye abantu bathanda ukucubungula kakhulu uma besaphila, bavame ukuqinela abanye, amaqhinga abo avama ukuhlelwa kahle, okuningi abakwenzayo kuyabalimaza abanye. Uma bezalwa futhi, bangazalwa bengaphelele engqondweni kungenjalo babe yizinhlanya. Abanye bavama ukuzinikela ekucingeni babone ingasese labanye abantu; amehlo abo abona okuningi abangafanele ukukubona, bazi okuningi abangafanele ukukwazi, bese bezalwa beyizimpumputhe. Abanye abantu bashesha kakhulu uma besaphila, bayalwa, benza okuningi okubi, bese kuthi uma bezalwa futhi babe nokukhubazeka, babe yizinyonga noma ngabangenaso isitho esithile mhlawumbe bangabi nangalo, kungenjalo babe yizifumbu, baxhwale ngemiqala, baxhuge, noma babe nomlenze omfushane kunomunye, njalo-njalo. Ngalokhu bawela ezijezisweni eziningi ezahlukahlukene eziya nokuthi benze ububi obungakanani ngenkathi besaphila. Bese nina nithi, kungani abanye abantu beyinsanga? Kungabe baningi abantu abanjalo? Bakhona baningi kulezi zinsuku. Abanye abantu bayinsanga ngoba empilweni yabo edlule bawasebenzise kakhulu amehlo abo, benze izinto eziningi ezimbi ngawo, uma bezalwa futhi kulo mhlaba amehlo abo aba yinsanga, ezimeni ezimbi kakhulu baba yizimpumputhe. Ukuphindiselela lokhu! Abanye abantu bazwana kahle nabanye ngaphambi kokuthi bafe, bebenzela okuningi okuhle labo abathandiweyo babo, abangani, ozakwabo, noma abantu abaxhumene nabo. Bayaphana futhi bayabanakekela abanye abantu, mhlawumbe babasize ngemali, abanye bayabahlonipha laba bantu, kuthi uma abantu abanjalo bebuyela emhlabeni kamoya bangakutholi ukujeziswa. Ukuze umuntu ongakholwa angajeziswa kumele abe ngumuntu oziphethe kahle kakhulu. Esikhundleni sokukholwa nguNkulunkulu, bakholwa kuphela yiNdoda Endala Yasesibhakabhakeni. Bakholwa kuphela ukuthi kunomoya ongaphezu kwabo obona konke abakwenzayo—ukuphela kwento abakholwa yiyo. Futhi umphumela wabo uwukuthi baziphethe kahle kangcono kakhulu. Labo bantu banezinhliziyo ezinomusa bayaphana, ekugcineni sebebuyela emhlabeni kamoya, wona umhlaba kamoya bese ubaphatha kahle baphinde babuyiselwe enyameni. Lapho bezalwa futhi, luhlobo luni lomndeni abazofikela kuwo? Nakuba lo mndeni ungeke ube yizigwili, uzoba nokuthula, kuzoba noxolo emalungwini awo, awuzuba namsindo, izinsuku zawo zinenjabulo, wonke umuntu kuwo uthakasile, unempilo enhle. Uma lowo muntu eba mdala, uzoba nomndeni omkhulu, izingane zakhe zibe neziphiwo zithokozele impumelelo, futhi nemindeni yazo ibe nenhlanhla ejabulisayo—umphumela onjalo usukela kakhulu empilweni yakhe edlule. Okusho ukuthi, lapho umuntu aya khona emva kokufa nalapho ebuyiselwa enyameni, noma kungowesilisa noma ngowesifazane, noma ngabe yimuphi umsebenzi wakhe, noma ngabe udlule kukuphi nakukuphi empilweni, izinkinga zakhe, izibusiso azithokozele, noma ngubani azohlangana naye, kuzokwenzekani kuye—akekho okwazi ukwenza umhlahlo walokhu, ukukuvika, noma ukuzifihla kukho. Lokho kusho ukuthi, emva kokuthi impilo yakho seyihleliwe, okuzokwenzeka kuwe, noma ungazama kanjani ukukuvika, noma yingani ozama ukuvika ngayo, awunayo indlela yokugwema uhlelo lwempilo olubekelwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya. Kungoba uma ubuyiselwa enyameni, impilo yakho isuke isihleliwe. Noma ingaba yimbi noma ingaba yinhle, wonke umuntu kumele abhekane nalokhu, aqhubekele phambili; yinto lena angekho kwabaphila kulo mhlaba ongayivika, akukho futhi kulokhu okuliqiniso kakhulu kunokunye.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 191)

Ngabe uyabona ukuthi uNkulunkulu unezindlela ezinembayo zokuqaphela kanye nokulawula impilo yokuphila nokufa kwabantu abangakholwa? Okokuqala, uNkulunkulu wenze imithetho yezulu eminingi, imiyalelo, nezinhlelo ngokomoya, emva kokwethulwa kwale mithetho, imiyalelo, kanye nezinhlelo, konke kulandelwa ngokuqinisileyo, njengokusho kukaNkulunkulu, ngabantu abasezikhundleni ezahlukahlukene emhlabeni kamoya, akekho onesibindi sokuyephula. Ngakho-ke, empilweni yabantu yokuphila nokufa emhlabeni wabantu, noma ngabe umuntu ubuyiselwe enyameni waba yisilwane noma wabangumuntu, kunemithetho kukho kokubili. Kungoba le mithetho ivela kuNkulunkulu, akekho onesibindi sokuyephula, futhi akekho nokwazi ukuyephula. Ngenxa yobukhulu bukaNkulunkulu, ngoba-ke kunale mithetho, ethi umhlaba wezinto ezibambekayo ubonwa ngabantu njengohlelekile noqondile; kungenxa yalobu bukhulu bukaNkulunkulu ukuthi umuntu akwazi ukuphila ngokuthula nomunye umhlaba ongabonakali nhlobo kumuntu, akwazi ukuphila ngoxolo nawo—kanti konke ongeke ukwehlukanise nobukhulu bukaNkulunkulu. Emva kokufa kwempilo yomuntu yenyama, umphefumulo usuke usaphila, ngakho bekuzokwenzekani uma ubungaphethwe uNkulunkulu? Lo mphefumulo bewuzozulazula yonke indawo, ungene le nale, uze ulimaze izinto eziphila emhlabeni wabantu. Lokho kulimala bekungeke kugcine kubantu, bekuzofinyelela nasezitshalweni nasezilwaneni—kodwa okokuqala okungalimala ngabantu. Uma bekungenzeka lokhu—ukuba lowo mphefumulo bewungangalawulwa, wase ulimaza abantu, wenza izinto ezimbi—bekuyoze ulawulwe emhlabeni kamoya: Uma izinto bezinqala, lowo mphefumulo bewuyoshabalala masinya, bewuyolimala uphele; uma kwenzeka, bewuyobekwa ndawana thile uze ubuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, ukulawula komhlaba kamoya okwenzeka emiphefumulweni enhlobonhlobo kuhlelekile, kwenziwa kulandelwa izinyathelo nemithetho efanele. Kungenxa yalokhu kulawulwa ukuthi umhlaba wezinto ezibambekayo wabantu awusona isiphithiphithi, ukuthi isintu emhlabeni wezinto ezibambekayo siziphethe ngendlela eyamukelekayo, indlela enokuhlakanipha, nempilo yenyama ehlelekile. Kusemva kokuthi isintu sibe nempilo eyamukelekayo ukuthi labo abaphila enyameni bakwazi ukuqhubeka nokuphila bazalane ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 192)

Uma sibhekisa kwabangakholwayo, kungabe umgomo uthi izenzo zikaNkulunkulu zivuza abahle zijezise ababi? Bakhona abashiywa ngaphandle? (Cha.) Niyabona ukuthi kunomgomo ezenzweni zikaNkulunkulu? Abangakholwayo abakholwa kuNkulunkulu, abazigcini izinhlelo zikaNkulunkulu, ababunakile nobukhulu bukaNkulunkulu, abamamukeli nakancane uNkulunkulu. Okukhulu kakhulu, bayamhlaza uNkulunkulu, bayamqalekisa futhi, benjalo nje bavukela labo abakholwa wuNkulunkulu. Nakuba laba bantu beziphethe kanjalo kuNkulunkulu, ukulawula kukaNkulunkulu kubo akusuki emigomeni Yakhe; ubaphatha ngokuhlelekile ngokuhambisana nemigomo Yakhe kanye nokuziphatha Kwakhe. Ngabe uyithatha kanjani indlela abamelana ngayo Naye? Uyithatha njengeyokungazi! Kubehlele laba bantu—iningi labo okungabangakholwayo—ukuthi babuyiselwe enyameni kanye ngokuba yizilwane. Manje bayini abangakholwayo emehlweni kaNkulunkulu? Bayimfuyo. UNkulunkulu uyayelusa imfuyo, uyabelusa abantu, futhi unemigomo efanayo nakulolu hlobo lomuntu. Nasekubaphatheni laba bantu, isimo Sakhe sisabonakala njengoba ibonakala nemithetho Yakhe yokubusa izinto zonke. Kulokho, niyabubona na ubukhulu bukaNkulunkulu emigomeni Yakhe aphatha ngayo labo abangakholwayo engikhulume ngabo? Niyasibona isimo sokulunga kukaNkulunkulu? (Siyasibona.) Okusho ukuthi, noma ngabe yiziphi izinto asebenza ngazo, uNkulunkulu ulandela imigomo Yakhe kanye nesimo Sakhe. Lobu ubuqu bukaNkulunkulu. Akaveli ayephule kalula nje imiyalelo noma kungaba yimithetho yasezulwini ayibeka Yena ngoba ethatha lolu hlobo lomuntu njengemfuyo. UNkulunkulu wenza izinto elandela imigomo, akagudluki nakancane, izenzo Zakhe azithonywa nakancane okunye, noma ngabe wenzani, konke ukwenza elandela imigomo Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu unengqikithi kaNkulunkulu Kuye Uqobo, okuyingxenye yengqikithi Yakhe engekho kunoma yini edaliwe. UNkulunkulu uyazinikela akubeke emahlombe Akhe konke akwenzayo, indlela enza ngayo, indlela akuphethe ngayo, indlela akusebenza ngayo, nendlela abusa ngayo yonke into, abantu, kanye nezinto eziphilayo kuzo zonke izinto azidala, akakaze futhi abe nobudedengu kulokhu. Kulabo abaziphethe kahle, unomusa nobubele; kulabo ababi, ubanika isijeziso angazisoli neze ngaso; kubantu abehlukahlukene abaphilayo, wenza izinhlelo ezifanele ngesikhathi esifanele ngendlela efanele ngokulandela izidingo ezahlukahlukene zabantu emhlabeni ngezikhathi ezahlukahlukene, ukuze abantu abaphilayo babuyiselwe enyameni kulandelwa iqhaza abalibambe ngendlela ehlelekile, bahambahambe phakathi komhlaba wezinto ezibambekayo nomhlaba kamoya ngendlela ehlelekile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 193)

Ukufa komuntu ophilayo—ukumiswa kwempilo yomzimba—kusho ukuthi umuntu useye wahamba emhlabeni wezinto ezibambekayo waya emhlabeni kamoya, kanti ukuzalwa kwempilo yenyama entsha kusho ukuthi umuntu ophilayo ufikile evela emhlabeni kamoya efika emhlabeni wezinto ezibambekayo wayeseqala indima yakhe, yokubamba iqhaza lakhe. Noma ngabe ukuhamba noma ukufika kwento ephilayo, kokubili akuhlukaniseki emsebenzini womhlaba kamoya. Uma kufika umuntu emhlabeni wezinto ezibambekayo, amalungiselelo kanye nezidingo zakhe kusuke sekwenziwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya kwenzelwa umndeni aya kuwo, inkathi afika ngaso, ihora afika ngalo, iqhaza azolibamba. Impilo yonke yalo muntu—izinto azenzayo, izindlela azithathayo—ziqhubeka ngokwamalungiselelo akhe enziwe emhlabeni kamoya, ngaphandle kwephutha noma ngabe lincane kangakanani. Isikhathi lapho impilo yenyama iphela khona, okwesikhashana, nangendlela nendawo lapho iphelela khona, kucacisiwe kwafakazelwa futhi emhlabeni kamoya. UNkulunkulu ubusa umhlaba wezinto ezibambekayo, aphinde abuse emhlabeni kamoya, kanti akawubambezeli umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa, akenzi phutha futhi ekulungiseleleni umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa. Isithunywa ngasinye ezikhundleni ezisemthethweni emhlabeni kamoya siqala umsebenzi waso, senze njengoba kufanele, silandele imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu. Ngakho, emhlabeni wesintu, yonke into eyenganyelwe ngumuntu ihlelekile, ayinasiphithiphithi. Konke lokhu kungenxa yohlelo lwemithetho ehleliwe kaNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto, kuphinde kube ngegunya likaNkulunkulu elibusa phezu kwakho konke, kanti konke lokho abusa phezu kwakho kubandakanya umhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo umuntu, kuphinde futhi, phezu kwakho lokho, kube umhlaba kamoya ongabonakali kumuntu. Ngakho, uma isintu sifisa impilo enhle, futhi sifisa ukuhlala ezindaweni ezinhle, phezu kokuphiwa umhlaba wezinto ezibambekayo ophelele obonakalayo, umuntu uyadinga ukuphiwa umhlaba kamoya, ongabonakali kumuntu, obusa phezu kwakho konke okuphilayo egameni lesintu, ophinda ube ngohlelekile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 194)

Ukujikeleza Kokuphila Nokufa Kwabantu Abehlukahlukene Benkolo

Siqeda kuxoxa ngokujikeleza kokuphila nokufa esigabeni sokuqala, sabangakholwayo. Manje, make sixoxe ngesigaba sesibili, sabantu abahlukahlukene benkolo. “Ukujikeleza kokuphila nokufa kwabantu abehlukahlukene benkolo” naso yisihloko esibalulekile, futhi kunilungele ukuthi nibe nokuqonda ngakho. Okokuqala, masikhulume ngokuthi ezinkolweni iyiphi “inkolo” esibhekise kuyo lapho sithi khona “abantu benkolo”: Kusho Inkolo yamaJuda, eyamaKrestu, eyamaKhatholika, eyama-Islam, nobuBuddha, okuyizinkolo ezinkulu ezinhlanu. Phezu kwabangakholwayo, abantu abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu bayingxenye enkulu yenani labantu emhlabeni. Kulezi zinkolo ezinhlanu, labo asebekwenze umsebenzi wabo ukukholwa bambalwa, kodwa lezi zinkolo zinamakholwa amaningi. Amakholwa azo aya endaweni ehlukile uma efa. “Ehlukile” ehluke kunekabani? Ehlukile kweyabangakholwayo, kweyabangenankolo, ebesikhuluma ngabo khona manje. Emva kokufa, abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu baya kwenye indawo, endaweni ehlukile kweyabangakholwayo. Kodwa kuyinqubo efanayo. Umhlaba kamoya uzokhipha isahlulelo ngabo ulandela lokho abakwenzile ngaphambi kokufa, kulandele ukuthi benziwe izinto ezifanele. Kungani-ke kodwa laba bantu bebekwa endaweni ehlukile lapho bezohlungwa khona? Kunesizathu esibalulekile salokhu. Siyini leso sizathu? Ngizonitshela ngokwenza isibonelo. Kodwa ngaphambi kokukwenza, kungase kube nicabanga lokhu: “Mhlawumbe kungenxa yokuthi banokukholwa okuncane kuNkulunkulu! Abayibona abangakholwa ngokuphelele.” Lokhu akuyiso isizathu. Kukhona isizathu esibaluleke kakhulu esenza babekwe kwenye indawo.

Masibhekise enkolweni yamaBuddha: Make nginitshele iqiniso. Umuntu ongumBuddha, okokuqala, lowo ngumuntu ophendukele enkolweni yamaBuddha, futhi ngumuntu owaziyo ukuthi inkolo yakhe iyini empeleni. Uma umBuddha egunda izinwele bese eba yindela noma yindelakazi, lokho kusho ukuthi uziqhelelanisile nomhlaba wezinto ezibambekayo washiya izinto zomhlaba womuntu kude le. Zonke izinsuku basho imibhalo yamaHindu, futhi bahaye amagama kaBuddha, badle ukudla okuyimifino kodwa, baphila impilo yokuzithiba, izinsuku zabo zidlula zihambisana nelambu elishisa ibhotela elibandayo nelikhanya okulufifi. Abenkolo yamaBuddha baphila impilo yabo ngale ndlela. Uma impilo yabo yomzimba wenyama iphela, benza isifinyezo sempilo yabo, kodwa ezinhliziyweni zabo abazi ukuthi bazoya kuphi emva kokufa, bazohlangana nobani, futhi bazoba nesiphelo esinjani—ezinhliziyweni zabo abacacelwa yilezi zinto. Ayikho into abayenzile ngaphandle kokuphila impilo yabo yonke ngokunganaki bephelekezelwa yinkolo, emva kwalokho bayawushiya umhlaba bephelekezelwa ngamathemba nemibono engasho lutho. Leso yisiphetho sempilo yabo yenyama okuthi lapho beshiya khona emhlabeni wabaphilayo, futhi, emva kwalokho, bebuyela endaweni yabo yakuqala emhlabeni kamoya. Ukuthi labo bantu babuyiselwe enyameni ukuba babuyele emhlabeni bayoqhubeka nempilo yokuzifundisa kuncika ekuthini ukuziphatha kwabo nakho ukuzifundisa lokho ngaphambi kokuthi bafe. Uma bengenzanga lutho olungafanele ngesikhathi besaphila, bazobuyiselwa enyameni masinya babuyiselwe emhlabeni futhi, lapho bezofika babe yizindela noma izindelakazi futhi. Ngokwenqubo yokuqala, imizimba yabo yenyama iyazifundisa, emva kwalokho bayafa babuyele emhlabeni kamoya, lapho befika bahlolwe khona, emva kwalokho—uma kungenazinkinga—bangabuyela futhi emhlabeni wabantu, baphinde futhi baphendukele enkolweni yamaBuddha baqhubeke nokuzifundisa. Uma sebebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, bazophinda babuyele emhlabeni kamoya, okuyilapho beya khona njalo uma impilo yabo yenyama iphela. Uma okubenza bemukeleke nezindlela zokuziphatha emhlabeni wabantu kuhambisana nemithetho yasezulwini ngokomhlaba kamoya, kusukela lapho bayohlala khona okokuphela; ngeke besabuyiselwa enyameni njengabantu, ngeke futhi besangena engcupheni yokujeziselwa ukwenza okubi. Ngeke baphinde babhekane nale nqubo. Esikhundleni salokho, ngokwezimo zabo, bazohlala endaweni kamoya. Yilokhu amaBuddha akubiza “ngokuthola ubuBuddha.” Ukuthola ubuBuddha ikakhulu ukufinyelela ekuphumeleleni njengesikhulu somhlaba kamoya futhi, emva kwalokho, ungasabuyiselwa enyameni noma ube sengozini yokujeziswa. Ngaphezu kwalokho, kusho ukungabe kusaba nenhlupheko okuyinkinga yokuba ngumuntu emva kokubuyiselwa enyameni. Ngakho lisekhona yini elinye ithuba lokuthi babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane? (Cha.) Lokhu kusho ukuthi bahlalele ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya kanti ngeke besabuyiselwa enyameni. Lesi yisibonelo esisodwa sokufinyelela ekuphumeleleni kobuBuddha enkolweni yobuBuddha. Okwalabo abangafinyeleli ekuphumeleleni, uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayahlolwa baqinisekiswe yisikhulu esiqondene nalokho, esithola ukuthi ngenkathi besaphila, babengazifundisanga ngokukhuthala noma babengakukhuthalele ukusho imibhalo nokuhaya amagama kaBuddha njengoba kubalula inkolo yamaBuddha, kodwa, esikhundleni salokho babenze okuningi okubi, baziphatha kabi kaningi. Bese, emhlabeni kamoya kwenziwe ukwehlulela ngokwenza kwabo ububi, kulandele ukuthi nakanjani bajeziswe. Kulokhu, akukho ukukhetha abathile. Ngakho, umuntu onje ukuzuza nini ukuphumelela? Empilweni lapho engakwenzi okubi—lapho, emva kokubuyela emhlabeni kamoya, kubonakala ukuthi akenzanga lutho olungafanele ngaphambi kokuthi afe. Uyaqhubeka nokubuyiselwa enyameni, aqhubeke nokusho imibhalo nokuhaya amagama kaBuddha, edlulisa izinsuku zakhe ekukhanyeni okubandayo, okufiphele kwelambu lebhotela, engabulali noma yini ephilayo, engadli inyama, futhi engahlanganyeli ezintweni ezenziwa emhlabeni wabantu, eshiya izinkathazo emuva futhi kude, engaxabani namuntu. Ngenkathi kwenzeka lokho, akenzi bubi, kube sekulandela ukuthi abuyele emhlabeni kamoya, kuthi emva kokuba zonke izenzo zakhe nokuziphatha sekuhloliwe, ube esephindiselwa emhlabeni wabantu futhi, ekujikelezeni ozokukwenzeka izikhathi ezintathu kuya kweziyisikhombisa. Uma kungabi khona okuphoxayo ngalesi sikhathi, ukuzuza kwakhe ubuBuddha kuzobe sekuhlala kungathintekile, futhi ngeke kulibale. Lena indaba yokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabo bonke abantu benkolo: Bayakwazi “ukuzuza ukuphumelela,” bathathe indawo emhlabeni kamoya. Lokhu yikhona okubenza behluke kwabangakholwayo. Okokuqala, ngenkathi besaphila emhlabeni, kumele baziphathe kanjani labo abakwazi ukuthatha indawo emhlabeni kamoya? Kumele bangenzi nobuncane ububi: Akumele babulale, bashise abantu, badlwengule, noma baphange izimpahla zabantu; kodwa uma bekhwabanisa, bekhohlisa, bentshontsha, beqola, ngeke bakuzuze ukuphumelela. Ngamanye amazwi, uma behlobana noma besondelana nokwenza okubi, ngeke baphunyule ekujezisweni emhlabeni kamoya. Umhlaba kamoya wenza amalungiselelo afanele amaBuddha athola ubuBuddha: Anganikwa umsebenzi wokulawula labo ababonakala bekholwa enkolweni yamaBuddha, kanye naseNdodeni Endala Esesibhakabhakeni, amaBuddha azonikwa igunya lokuphatha, angaphatha abangakholwayo kuphela, noma abe yizithunywa esisezingeni eliphansi. Lokhu kubekwa kuhambisana nobunjalo bale miphefumulo. Yisibonelo senkolo yamaBuddha lesi.

Ezinkolweni ezinhlanu esikhulume ngazo, ubuKrestu bukhethekile ngandlela thile. Yini ekhetheke kangako ngobuKrestu? Laba ngabantu abakholwa kuNkulunkulu weqiniso. Singabafaka kanjani kulolu hla abantu abakholwa wuNkulunkulu weqiniso? Ngoba ubuKrestu buwuhlobo lwenkolo, buyiyo, ngaphandle kokungabaza, buhlobene nenkolo—buwumsebenzi othile, uhlobo lokukholwa, buthe ukwehluka enkolweni yalabo abalandela uNkulunkulu ngokweqiniso. Isizathu sokuthi ngibufake kulolu hlu lwezinkolo ezinhlanu ezinkulu ukuthi ubuKrestu busezingeni elilodwa nobuJuda, inkolo yamaBuddha, kanye ne-Islam. AmaKrestu amaningi awakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, nokuthi ubusa phezu kwezinto zonke, awakholwa futhi ukuthi ukhona. Esikhundleni salokho, azinikela ekukhulumeni ngobukholwa ebhekisa emibhalweni yeBhayibheli, asebenzisa isifundo sobukholwa ukufundisa abantu ukuthi babe nomusa, babekezelele ukuhlushwa, nokwenza izinto ezinhle. Buyilolo hlobo lwenkolo ubuKrestu: Bunamathela kuphela emibhalweni yezinkolo, abubhekisi nakancane emsebenzini kaNkulunkulu wokulawula aphinde asindise umuntu, yinkolo yalabo kuphela abalandela uNkulunkulu bebe bengemukelwa wuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu unawo umgomo awubhekise kubona. Akabaphathi nje noma ikanjani ngokuzibonela Kwakhe, ngendlela efanayo nabangakholwayo. Indlela asebenza ngayo udaba lwabo iyafana neyamaBuddha: Uma, ngenkathi besaphila, umKrestu eziqoqile ngokwakhe, ehlala ngempela Emithethweni Elishumi futhi ephila ngemithetho nemiyalelo ezimfunweni azenza ekuziphatheni kwakhe—futhi uma engakwenza empilweni yakhe yonke—bazophinda badinge ukuchitha isikhathi esifanayo ekujikelezeni wokuphila nokufa ngaphambi kokuthi bazuze ngokweqiniso lokho okubizwa ngokuhlwithwa. Emva kokuzuza lokhu “kuhlwithwa,” babe sebehlala emhlabeni kamoya, lapho benikwa khona isikhundla sokuba ngesinye sezithunywa. Ngokufanayo, uma benza okubi emhlabeni, uma bona futhi benza izono eziningi, akube kusavikeka ukuthi bajeziswe bagotshwe ngobunzima obehlukahlukene. Enkolweni yamaBuddha, ukuthola ukuphumelela kusho ukudlulela Ezweni Elimsulwa Lokuthula Okukhulu kodwa kubizwa ngokuthini lokho enkolweni yobuKristu? Kubizwa “ngokungena ezulwini” kanye “nokuhlwithwa.” Labo “abahlwithwe” ngokweqiniso bayaphinda nabo bangene ekujikelezeni kwempilo yokuphila nokufa izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, okuzothi emva kwakho, emva kokufa, bafike emhlabeni kamoya, kungathithi balele basebuthongweni. Uma bephelelisekile bayakwazi ukusala bebamba iqhaza, kanti, kungafani nabantu abesemhlabeni, ababuyiselwa enyameni ngendlela elula, noma ngokwesivumelwano.

Kuzo zonke lezi zinkolo, isiphetho okukhulunywa ngaso nezilwela ukusizuza siyafana nokuthola ukuphumelela kwabenkolo yamaBuddha; ukuthi nje lokhu kutholakala ngezindlela ezahlukile. Bawuhlobo olulodwa. Engxenyeni yabantu balezi zinkolo abakwazi ukuhlala ngeqiniso emithethweni yayo inkolo ekuziphatheni kwabo, uNkulunkulu ubapha indawo efanele abayise kuyo, indawo abafanelwe ukuba kuyo, abaphathe ngendlela efanelekile. Konke lokhu kungokwamukelekayo, kodwa akufani nendlela abantu abakucabanga ngayo, yebo? Manje, lapho senikuzwile konke okwenzeka kubantu abangamaKristu, nizizwa kanjani? Niyakhathazeka ngabo? Niyabezwela? (Kancane.) Akukho okungenziwa—kumele bazilahle bona ngecala. Kungani ngisho kanje? Umsebenzi kaNkulunkulu uliqiniso, uNkulunkulu uyaphila futhi ukhona, futhi umsebenzi Wakhe uhloselwe isintu sonke naye wonke umuntu. Kungani-ke engakwamukeli lokhu? Kungani bemphikisa futhi bemelana noNkulunkulu? Banenhlanhla ukuthi banesiphelo esikanje, kungani-ke nibazwela? Ukuthi baphathwe kanje kukhombisa ukubabekezelela okukhulu. Ngendlela abaphikisa ngayo uNkulunkulu, kumele babhujiswe—kodwa uNkulunkulu akakwenzi lokho, uphethe ubuKrestu njengenkolo ejwayelekile. Esimeni esinje, ngabe sikhona isidingo sokuthi sijule nangalezi ezinye izinkolo? Umongo walezi ezinye izinkolo, ukuba abantu bezwe ubunzima obengeziwe, bangenzi okubi, benze izinzo ezinhle, bangathuki abanye, bangafinyeleli ezinqumeni ngabanye abantu, bazehlukanise nezingxabano, futhi babe ngabantu abalungileyo—eziningi izimfundiso zezinkolo zinje. Ngakho, uma laba bantu benkolo—laba bantu bezinkolo eziningi namahlelo—bekwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, ngeke benze amaphutha amakhulu noma izono ngesikhathi besaphila emhlabeni, kanye nasemva kokuba bebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, kakhulu-ke laba bantu, abantu abakwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, bazokwazi ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya. Ngabe baningi abantu abanjalo? (Cha, ababaningi.) Uyisuselaphi impendulo yakho? Akulula ukwenza okuhle, noma ukuhlala emithethweni. Inkolo yamaBuddha ayibavumeli abantu badle inyama—ungakwenza lokho? Uma bekungathiwa gqoka izingubo ezimpunga usho imibhalo yamaBuddha uhaye amagama kaBuddha ethempelini lamaBuddha usuku lonke, ubungakwenza? Ngeke kube lula. UbuKrestu buneMithetho Elishumi, imiyalelo nemithetho, ngabe kulula ukuyigcina? Akunjalo! Bheka ukungathuki abanye: Abantu abakwazi ukuhlala kulo mthetho. Abakwazi ukuzivimba, bayethukana—emva kwalokho abakwazi ukukwesula lokho, benzanjani-ke? Ebusuku bavuma izono zabo. Ngezinye izikhathi emva kokuthuka abanye, kusala kunenzondo ezinhliziyweni zabo, baphinde bedlulele ekuzilungiseleleni isikhathi abazobalimaza ngaso. Uma sihlanganisa, kulabo abaphila ngale nkolo efile, akulula ukungoni nokungenzi okubi. Ngakho, kuyo yonke inkolo, bambalwa kakhulu abantu abakwazi ukuzuza ukuphumelela. Ucabanga ukuthi njengoba abantu abaningi belandela lezi zinkolo, baningi abazothola ithuba lokubamba iqhaza emhlabeni kamoya! Ababaningi kangako nokho, bambalwa abakwazi ukufinyelela kulokhu. Kungako esingakhuluma ngakho ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwabantu benkolo. Okubehlusayo ukuthi bayakwazi ukuzuza ukuphumelela, futhi yilokhu okubehlusa kwabangakholwayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 195)

Ukujikeleza kwempilo Yokuphila Nokufa Kwabantu Abalandela uNkulunkulu

Okulandelayo, masikhulume ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwalabo abalandela uNkulunkulu. Lokhu kuthinta nina, ngakho lalelani. Okokuqala, cabangani ngezigaba abantu abalandela uNkulunkulu esingabehlukanisa ngazo. (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu nabenzi bomsebenzi.) Zimbili: kunabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Okokuqala sizokhuluma ngabakhethwa nguNkulunkulu, abambalwa-ke nokho. Kusho ukuthini ukuthi “abakhethwa nguNkulunkulu”? emva kokuthi uNkulunkulu edale zonke izinto kwabe sekuba nesintu, uNkulunkulu wakhetha iqeqebana labantu abamlandela, futhi babizwa kalula nje ngokuthi “ngabantu abakhethwe nguNkulunkulu.” Kunokuhlola kanye nokubaluleka endleleni uNkulunkulu akhetha ngayo laba bantu. Ukuhlola ukuthi sonke isikhathi uNkulunkulu enza umsebenzi obalulekile kumele beze—okuba yinto yokuqala ezintweni ezibenza babe ngabakhethekile. Kuyini ukubaluleka kwabo? Ukukhethwa kwabo nguNkulunkulu kusho ukuthi babaluleke kakhulu. Okuchaza ukuthi, uNkulunkulu ufisa ukubaphelelisa laba bantu, abenze bagcwaliseke, emva kokuphetha umsebenzi Wakhe wokuphatha, uzobazuza laba bantu. Akukukhulu lokhu kubaluleka? Ngalokho, laba bantu abakhethiwe bangababalulekile kakhulu kuNkulunkulu, ngokuba bayilabo uNkulunkulu afuna ukubazuza. Kanti izisebenzi Zakhe—khona-ke, masithi ukusuka ekumiselweni kusengaphambili kukaNkulunkulu, siqale ngokukhuluma ngemvelaphi. Incazelo esobala “yezisebenzi” isho lowo osebenzayo. Labo abasebenzayo bangabesikhashana; abakwenzi lokhu isikhathi eside, noma okokuphela, kodwa baqashwa noma batholwe okwesikhashana. Abaningi babo bakhethwa kulabo abangakholwayo. Uma befika emhlabeni kuba yisikhathi bekhonjwa njengabazothatha indima yokuba yizisebenzi emsebenzi kaNkulunkulu. Kungaba ukuthi bebekade beyizilwane empilweni yabo edlule, kodwa kungenzeka ukuthi bebekade bengabanye balabo abangakholwayo. Bavela lapho abasebenzela uNkulunkulu.

Make sibuyele kwabakhethwa nguNkulunkulu. Uma befa, abakhethwa nguNkulunkulu baya endaweni ehlukile kunaleyo okuya kuyo abangakholwayo kanye nabanye benkolo. Yindawo abaphelekezelwa kuyo yizingelosi kanye nezithunywa zikaNkulunkulu, futhi elawulwa nguNkulunkulu ngoKwakhe. Nakuba, bekule ndawo, abakhethwa nguNkulunkulu abakwazi ukubheka uNkulunkulu ngamehlo abo, akufani nakwezinye izindawo emhlabeni kamoya; yindawo lapho le ngxenye yabantu iya khona emva kokufa. Uma befa, nabo bayahlolwa kabanzi yizithunywa zikaNkulunkulu. Yini ehlolwayo? Izithunywa zikaNkulunkulu ziphenya izindlela ezathathwa yilaba bantu empilweni yabo yonke yokukholwa kuNkulunkulu, noma ngabe, ngesikhathi sabo, bamphikisile uNkulunkulu, noma bamqalekisile, noma benze izono ezimbi nobubi noma cha. Lokhu kuhlolwa kubheka uhlangothi lokuthi laba bantu bayahamba noma bayahlala yini. Kusho ukuthini ukuthi “bayahamba”? Futhi kusho ukuthini ukuthi “bayahlala”? “Ukuhamba” kusho ukuthi, ngokokuziphatha kwabo, bahlala ezikhundleni zalabo abakhethwe nguNkulunkulu. “Ukuhlala” kusho ukuthi bangahlala nabantu abapheleliswe nguNkulunkulu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Kulabo abahlalayo, uNkulunkulu unezinhlelo ezikhethekile. Ngesikhathi ngasinye somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu uzothumela labo bantu ukuthi babe ngabafundi noma benze umsebenzi wokuvuselela amasonto, noma bawanakekele. Kodwa abantu abakwazi ukwenza lowo msebenzi ababuyiselwa enyameni kaningi njengabangakholwayo, abaphinda bazalwe njalo-njalo; esikhundleni salokho, babuyiselwa emhlabeni ngokwezidingo kanye nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, kanti ababona abanye balabo ababuyiselwa njalo enyameni. Ngabe ngalokho ikhona yini imithetho ebhekele ukuthi uma sebebuyiseliwe enyameni? Ngabe bafika kanye eminyakeni embalwa? Ngabe beza kaningi kanjalo? Akunjalo. Lokhu kuncike emsebenzini kaNkulunkulu, ezinyathelweni zomsebenzi Wakhe, nasezidingweni Zakhe, futhi akukho mithetho. Umthetho okungukuphela kwawo ngukuthi uma uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe ezinsukwini zokugcina, abantu Bakhe abakhethiweyo laba bazokuza. Uma befika bonke, kuzoba yisikhathi sokugcina lesi sokuthi babuyiselwe enyameni. Kungani kunjalo? Lokhu kuncike emiphumeleni ezotholakala ngesikhathi uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe—ngokuthi ngalesi sikhathi sesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu uzobaphelelisa ngokugcwele laba bantu abakhethiweyo. Kusho ukuthini lokhu? Uma, ngesikhathi sesinyathelo sokugcina, bepheleliswa laba bantu, futhi benziwa abangenasici, ngeke ngaleso sikhathi babuyiselwe enyameni njengakuqala; isikhathi sabo sokuba ngabantu sizofika ekuphelelisweni kokugcina, njengoba kuzokwenzeka ekubuyiselweni enyameni. Lokhu kukhuluma ngalabo abazosala. Bayaphi-ke labo abangakwazi ukuhlala? Labo abangakwazi ukuhlala banendawo efanele abaya kuyo. Okokuqala, njengomphumela wokwenza kwabo okubi, amaphutha abawenzile, kanye nezono abazenzile, nabo futhi bayajeziswa. Emva kokujeziswa, uNkulunkulu uzobalungisela ukuthi babe nabangakholwayo, kungenjalo babe nabantu abehlukahlukene benkolo, njengokufaneleka kwezimo. Okusho ukuthi, zimbili izimo ezingenzeka kubo: Okokuqala ukuthi, emva kokujeziswa, mhlawumbe bahlale nabantu benkolo ethile emva kokuvukela kwesinye isimo, okunye kube ukuba ngabangakholwa. Uma beba ngabangakholwa, bazowalahla wonke amathuba. Kanti uma beba ngabantu benkolo—uma, isibonelo nje, beba ngamaKrestu—basenethuba lokubuyela ezikhundleni zokuba ngabakhethwa nguNkulunkulu; kuhlobene ngendlela eyinxakanxaka lokhu. Kafushane nje, uma oyedwa wabakhethwa nguNkulunkulu edelela uNkulunkulu, uzojeza njengawo wonke omunye umuntu. Bheka uPawulu, njengesibonelo, okukhulunyiwe ngaye ekuqaleni. UPawulu uyisibonelo salabo abajeziswayo. Niyawuthola kodwa umqondo walokhu engikhuluma ngakho? Ngabe ukuhlola abakhethwa nguNkulunkulu kuyalungiseka? (Yebo kabanzana.) Ingxenye enkulu iyalungiseka, kodwa ingxenye encane ayilungiseki. Kungani kunjalo? Lapha, ngibhekise esizathwini esisobala: ukwenza okubi. Uma benza okubi, uNkulunkulu akabafuni, kanti uma uNkulunkulu engabafuni, ubaphonsa ezinhlangeni nezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, okubashiya bengenathemba, kuphinde kwenze kube lukhuni ukubuya. Konke lokhu yizinto zokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 196)

Okulandelayo ukujikeleza kwempilo yokufa nokuphila kwezisebenzi. Siqeda kukhuluma ngokuqala kwezisebenzi, okungukuthi, zabuyiselwa enyameni kade zingabangakholwayo futhi ziyizilwane empilweni yazo yangaphambili. Ukufika kwesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhethe kwabangakholwayo iqeqebana labantu abanjalo, kanti yiqeqebana elikhethekile. Inhloso kaNkulunkulu yokukhetha abantu abanje ukuthi benze umsebenzi Wakhe. “Umsebenzi” akulona igama elihle nelizwakalayo, noma into noma ngubani angangena alingane kahle kuyo, kodwa kumele sibheke ukuthi libhekiswe kubani. Kunokubaluleka okukhethekile ebukhoneni bezisebenzi zikaNkulunkulu. Akekho omunye ongenza umsebenzi wazo, ngoba zakhethwa nguNkulunkulu. Futhi liyini iqhaza elibanjwa yilezi zisebenzi? Ukusebenzela abakhethwa nguNkulunkulu. Ikakhulu, iqhaza lazo ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, ukubambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nokubambisana ekupheleliseni kukaNkulunkulu abakhethwa Bakhe. Ngaphandle kokuthi bayasebenza, benza umsebenzi othile, noma banikwe okuthile kokwenziwa, siyini isidingo sikaNkulunkulu kulaba bantu? Ngabe uNkulunkulu ufuna okungaphezu kokwenza kubo? (Cha, uNkulunkulu ucela kuphela ukuthi bethembeke.) Izisebenzi kumele zethembeke. Kungakhathaleki ukuthi imvelaphi yakho iyiphi, noma kungani uNkulunkulu ekhethe wena, kumele wethembeke kuNkulunkulu, kulokho uNkulunkulu akwethwese khona, nasemsebenzini osemahlombe akho kulokho obekelwe ukuthi ukwenze. Uma izisebenzi zikwazi ukwethembeka, zimenelisa uNkulunkulu, isiphelo sazo sizoba yini? Zizokwazi ukusala. Ngabe kuyisibusiso ukuba yisisebenzi esisalayo? Kusho ukuthini ukusala? Sisho ukuthini lesi sibusiso? Ngokwezinga, zibukeka zingafani nabakhethwa nguNkulunkulu, zibukeka zehlukile. Eqinisweni, nokho, ngabe lokho ezikuzuza zikujabulele kule mpilo akufani nokwabakhethwa nguNkulunkulu? Ezingeni eliphansi kulokhu, kule mpilo kuyafana. Anikuphiki lokhu, yebo? Amazwi kaNkulunkulu, umhawu kaNkulunkulu, ukuhlinzekela kukaNkulunkulu, izibusiso zikaNkulunkulu—ngubani ongekujabulele lokhu? Wonke umuntu uyayijabulela inala engaka. Okuchaza kabanzi isisebenzi ukuthi yisisebenzi, kodwa kuNkulunkulu, bonke abayizisebenzi bangenye yezinto azidalile—ukuthi nje iqhaza lazo ngelokuthi yizisebenzi. Njengesinye sezidalwa zikaNkulunkulu, ukhona umahluko phakathi kwesisebenzi sikaNkulunkulu nokhethwe nguNkulunkulu? Ngokucacile, awukho. Uma sikhuluma ngegama, kunomahluko, ngokwengqikithi futhi ukhona impela umahluko, eqhazeni elibanjwayo ukhona umahluko, kodwa uNkulunkulu akabehlukanisi laba bantu. Kungani pho laba bantu bechazwa njengezisebenzi? Kumele niqonde lokhu. Izisebenzi ziphuma kwabangakholwayo. Ukuphathwa kwegama elithi abangakholwayo kusitshela ukuthi imuva labo libi: Bonke bangabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, empilweni yabo edlule bebengabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, abakholwanga kuNkulunkulu, bamelene noNkulunkulu, neqiniso, kanye nezinto ezamukelekayo. Abakholwanga kuNkulunkulu futhi abakholwanga ukuthi ukhona uNkulunkulu, ngakho-ke ngabe bamelwe ukukwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu? Kuyemukeleka ukusho ukuthi, ngokwezinga elikhulu, abaqondi. Njengoba izilwane zingawaqondi amazwi omuntu, izisebenzi aziqondi ukuthi uNkulunkulu uthini, udingani, kungani akha izidingo ezinjengalezo—abaqondi, lezo zinto aziqondakali ezisebenzini, zihlezi zingakhanyiselekile. Ngalesi sizathu, laba bantu abanalo uhlobo lwempilo esesikhulume ngalo. Ngaphandle kwempilo, bangaliqonda abantu iqiniso? Kungabe bahlomile ngeqiniso? Kungabe bahlomile ngamava kanye nolwazi lwamazwi kaNkulunkulu? (Cha.) Injalo imvelaphi yezisebenzi. Kodwa ngoba uNkulunkulu wenza laba bantu babe yizisebenzi, kusekhona imigomo ezidingweni Zakhe ngabo; akababukeli phansi, akabi ngongabacabangeli. Nakuba bengawaqondi amazwi Akhe, bengenayo nempilo futhi, uNkulunkulu usenawo umusa kubo, isekhona nemigomo yezidingo Zakhe kubo. Nikhulume ngale migomo: Ukwethembeka kuNkulunkulu, kanye nokwenza lokho akushoyo. Emsebenzini wakho kumele usebenze lapho kudingeka khona, futhi usebenze kuze kube sekugcineni. Uma ungaba yisisebenzi esethembekile, ukwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni futhi ugcwalise umsebenzi owethweswe nguNkulunkulu, kusho ukuthi uzophila impilo ebalulekile, futhi uzokwazi ukusala. Uma uthi ukwengeza kancane ngaphezulu kwalokho okwenzayo, uma uzama kakhudlwana, ukwazi ukuphinda kabili okwenzayo ukuze umazi uNkulunkulu, ukwazi ukukhuluma kancane ngolwazi lukaNkulunkulu, ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, kuthi nangaphezulu, ukwazi ukuqonda okuthile okuyintando kaNkulunkulu, ubambisana emsebenzini kaNkulunkulu, ubhekisisa ngandlela thile intando kaNkulunkulu, wena lapho, njengesisebenzi, izoguquka inhlanhla yakho. Luyini lolo shintsho enhlanhleni yakho? Awuzusala nje kuphela. Ngokokuziphatha kwakho kanye nentshisekelo yakho ukulandela lokhu, uNkulunkulu uzokwenza omunye wabakhethwa Bakhe. Lokhu yikho okuzoba wushintsho enhlanhleni yakho. Ezisebenzini, yini enhle ngalokhu? Ukuthi zizoba ngabanye babakhethwa nguNkulunkulu. Uma beba ngabakhethwa nguNkulunkulu, kusho ukuthi abuyiselwa enyameni njengezilwane bafane nabangakholwayo. Ngabe kuhle lokho? Kuhle, futhi kuyizindaba ezimnandi. Okusho ukuthi, izisebenzi sezingakwazi ukulungiseka. Akusho ukuthi njengesisebenzi, uma uNkulunkulu emnika umthwalo wokuba yisisebenzi, uzowenza okokuphela; akunasidingo esinjalo. Ngokokuziphatha kwakhe, uNkulunkulu uzomphatha ngendlela ehlukile, futhi amphendule ngokuhlukile.

Kodwa zikhona izisebenzi ezingakwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni; ngesikhathi zisebenza, kukhona eziphela amandla phakathi nesikhathi zimshiye uNkulunkulu, kukhona ezenza izinto ezimbi eziningi, kube khona nalezo ezenza umonakalo omkhulu kakhulu ziwenze umonakalo omkhulu nasemsebenzini kaNkulunkulu, kukhona nezisebenzi ezimqalekisayo uNkulunkulu, njalo-njalo—isho ukuthini le miphumela engalungiseki? Noma yisiphi isenzo esibi sisho ukumiswa emsebenzini. Ngoba ukuziphatha kwakho ngesikhathi somsebenzi kube kubi ngokwedlulele, ngoba udlulile lapho kufanele khona, uma uNkulunkulu ebona ukuthi umsebenzi wakho awanelisi uyasisusa kuwe isidingo sokuthi usebenze, akakuvumeli ukuthi usebenze, uyakususa emehlweni Akhe, nasendlini kaNkulunkulu. Akukhona ukuthi awufuni ukusebenza? Awufisi njalo-njalo ukwenza okubi? Awuyena ongethembekile njalo? Lapho-ke, kunesixazululo esilula: Uzothathelwa ukufaneleka kokusebenza. NgokukaNkulunkulu, ukuthatha Kwakhe esisebenzini ukufaneleka kokusebenza kwaso kusho ukuthi isiphelo saleso sisebenzi sesinqunyiwe, futhi bayobe bengasafanele ukusebenzela uNkulunkulu, uNkulunkulu akasenaso isidingo somsebenzi waso, noma singakhuluma amazwi amahle kangakanani awasasho lutho. Uma izinto sezifika kuleli zinga, lesi simo sizoba ngesingalungiseki; izisebenzi ezifana nalesi azinakho ukubuyela emuva. UNkulunkulu ululungisa kanjani udaba olunjengalolu ezisebenzini ezinjengalesi? Kungabe uvele azimise nje emsebenzini? Cha. Kungabe uyazivimba zingasali? Noma mhlawumbe uzibeka eceleni, ame elinde ukuthi ziguquke? Akakwenzi lokho. UNkulunkulu akazithandi kangako izisebenzi, ngokweqiniso. Uma umuntu eziphethe ngale ndlela emsebenzini kaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngesizathu salokhu kuziphatha, uzemuka ukufaneleka ukusebenza, aphinde futhi aziphonse emuva kwabangakholwayo. Siyini isiphetho somuntu oyisisebenzi ophindiselwe emuva kwabangakholwayo? Siyafana nesalabo abangakholwayo: kuba ukubuyiselwa enyameni abe yisilwane athole isijeziso sabangakholwayo emhlabeni kamoya. Kanti uNkulunkulu akazibandakanyi Yena Uqobo ekujezisweni kwabo, ngoba abasawulungele umsebenzi kaNkulunkulu. Akubi ukuphela kwesiphetho sempilo yabo yokukholwa kuNkulunkulu, kodwa isigcino sesiphetho sabo, ukunqunywa kwesiphetho sabo. Ngakho uma izisebenzi sizebenza kabi, ziyothwala imiphumela ngokwazo. Uma isisebenzi singakwazi ukusebena kuze kube sekugcineni, noma sephucwa ukufaneleka kokusebenza phakathi nesikhathi, siphonswa kwabangakholwayo—kuthi uma siphonswa kwabangakholwayo siphathwe ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo imfuyo, ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo abantu abangenakho ukuhlakanipha nokucabanga. Uma ngiyibeka kanje uyaqonda, yebo?

Okungenhla yindlela uNkulunkulu aphatha ngayo ukujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa Nguye kanye nezisebenzi Zakhe. Uzizwa kanjani emva kokuzwa lokhu? Ngake ngakhuluma ngalesi sihloko engikhulume ngaso, isihloko sabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi? Ngike ngakhuluma ngaso, kodwa anisakhumbuli. UNkulunkulu ulungile kwabakhethwa Nguye kanye nasezisebenzini. Ulungile kukho konke, angithi? Kukhona noma kuphi lapho uthola khona iphutha? Bakhona yini abantu abazothi: “Kungani uNkulunkulu ebabekezelela kangaka abakhethwa? Yini ebekezela kancane uma kuza ezisebenzini?” Ukhona umuntu ofuna ukuzisukumela izisebenzi? “Angekwenze uNkulunkulu ukuthi azelulele isikhathi izisebenzi, athi ukuzibekezelela azimele?” Ngabe afanelekile la mazwi? (Cha, akunjalo.) Kungani engafanelekile? (Kungoba sikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje siphiwe ithuba lokuba yizisebenzi.) Izisebenzi zikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje ziphiwe ithuba lokuba yizisebenzi! Ngaphandle kwegama elithi “izisebenzi,” nangaphandle komsebenzi wezisebenzi, bezizoba kuphi lezi zisebenzi? Kulabo abangakholwayo, ziphila futhi zifa kanye nemfuyo. Mkhulu umhawu abawujabulela namuhla, ukuvunyelwa ukuba phambi kukaNkulunkulu, kanye nokuba sendlini kaNkulunkulu! Umhawu omkhulu lona! Uma uNkulunkulu ubengakunikanga ithuba lokumsebenzela, bewungeke ulithole ithuba lokuza phambi kukaNkulunkulu. Ukuphawula nje kancane, noma ngabe ungumBuddha futhi usuthole ukuphumelela, ngaphezu kwalokho uyisithunywa emhlabeni kamoya; awusoze uhlangane noNkulunkulu, noma uzwe izwi Lakhe, noma uzwe amazwi Akhe, noma uzwe izibusiso nothando Lwakhe kuwe, ngeke futhi ukwazi nangelinye ilanga ukumbona ubuso nobuso. KumaBuddha kukhona kuphela imisebenzi elula. Awakwazi ukwazi uNkulunkulu, anamathela njengabangaboni agcine imiyalelo, kanti izisebenzi zizuza okuningi kabi ngesikhathi somsebenzi! Okokuqala, zikwazi ukubonana ubuso nobuso noNkulunkulu, ukuzwa izwi Lakhe, ukuzwa amazwi Akhe, ukuhlangabezana nomhawu kanye nezibusiso Zakhe azinika abantu. Ngaphezu kwalokho, zijabulela amazwi namaqiniso eziwanikwa nguNkulunkulu. Abenzi bomsebenzi bazuza okukhulu ngempela! Ngakho, uma, njengesisebenzi, ungakwazi ukuthatha isinyathelo esifanele, uNkulunkulu angakugcina? Akakwazi ukukugcina. Akaceli okungakanani kuwe, kodwa akukho akucelayo okwenza ngendlela eyiyo, awunamathelanga emsebenzini wakho—ngakho-ke, ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu akakwazi ukukugcina. Lokhu kuwukuziphatha kukaNkulunkulu okunokulunga. UNkulunkulu akakuvikeli ngokweqile, futhi akakukhiphi inyumbazana. Lokhu kuyimigomo enza ngayo izinto uNkulunkulu. UNkulunkulu wenza kanje kubantu bonke nezidalwa zonke.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 197)

Uma abehlukahlukene kwabaphilayo benza okungafanele, uma bengawenzi umsebenzi wabo ngendlela eyiyo, uNkulunkulu unayo imithetho ehambisana nalokho emithethweni yasezulwini enemiyalelo alungisa ngayo—kuliqiniso lokhu. Ngakho esikhathini esiyiminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa yokuphatha kukaNkulunkulu imisebenzi Yakhe, ezinye izithunywa Zakhe zenze izinto ezingafanele yanqanyulwa impilo yazo, ezinye, namuhla, zisabanjwa zijeziswe. Lokhu kufanele babhekane nakho bonke abantu emhlabeni kamoya. Uma benza okungafanele noma benza okubi, bayajeziswa—okufanayo nendlela ayisebenzisa ngokuphelele uNkulunkulu kubantu abakhethwa Nguye kanye nasezisebenzini. Ngakho, noma ngabe kusemhlabeni kamoya noma emhlabeni wezinto ezibambekayo, imigomo elandelwa nguNkulunkulu ayiguquki. Noma uyazibona izenzo zikaNkulunkulu noma cha, imigomo kayiguquki. Zikhathi zonke, uNkulunkulu ulokhu egcine imigomo efanayo yezinto zonke kanye nasekwenzeni Kwakhe izinto. Lokhu akunakucelwa inselele. UNkulunkulu uyoba nomusa kulabo abangakholwayo abaphila ngendlela eyamukelekayo, bese egcinela amathuba labo abasenkolweni abaziphethe kahle nabangenzi ububi, ebavumela ukuthi babambe iqhaza ezintweni zonke ezilawulwa nguNkulunkulu, benze lokho abamiselwe ukuthi bakwenze. Ngokufanayo, kulabo abalandela uNkulunkulu, phakathi kwabakhethwa Nguye, uNkulunkulu akabakhiphi inyumbazana ngokwemigomo Yakhe. Unomusa kubo bonke abamlandela ngokuyiqiniso, uthanda bonke abamlandela ngokuyiqiniso. Kuphela nje kulezi zinhlobo eziningi zabantu - abangakholwayo, abaningi kwabenkolo, kanye nabakhethwa nguNkulunkulu—akwethwesa bona kwehlukile. Bheka abangakholwayo: Nakuba bengakholwa uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ubabona benjengemfuyo, kuzo zonke izinto bona ngamunye banokudla abakudlayo, indawo yabo, kanye nokujikeleza okujwayelekile kwempilo yokuphila nokufa. Labo abenza okubi bayajeziswa, kuthi labo abenza okuhle babusiswe futhi bathole umusa kaNkulunkulu. Akunjalo na? Kubantu benkolo, uma bekwazi ukunamathela ngokuqinisileyo emithethweni yenkolo ukuphinda bazalwe baphinde bazalwe, emva kwakho konke lokhu kuphinda bazalwe okuningi uNkulunkulu uzophetha ngokumemezela okuthile kubo. Ngokufanayo, kinina namuhla, noma ningaba ngabanye babakhethwa nguNkulunkulu noma izisebenzi, uNkulunkulu uzobaqondisa abheke isiphelo senu ngokwemithetho nemiyalelo yokulawula Kwakhe ayibekileyo. Kulezi zinhlobo eziningi zabantu—izinhlobo eziningi zabantu benkolo, nabasezinhlotsheni eziningi zokukholwa—kungabe uNkulunkulu ubaphile izindawo zokuhlala? Ikuphi inkolo yobuJuda? Ngabe uNkulunkulu uyiphazamisile inkolo yabo? UbuKrestu bona? Akabuphazamisanga nabo. Ubayekela ukuthi balandele ezabo izinqubo, akakhulumi nabo, noma abakhanyisele, futhi, ngaphezu kwalokho, akabavezeli lutho: “Uma ucabanga ukuthi kulungile, kholwa ngale Ndlela.” AmaKhatholika akholelwa kuMariya, nokuthi izindaba eziya kuJesu zidluliswa ngoMariya; lokhu kuyinkolo yabo. Ngabe uNkulunkulu uke wayilungisa inkolo yawo? UNkulunkulu uwaphe ukuzibusa okukhululekile, akawanaki, uwanike ngisho indawo yokuthi ahlale kuyo. Futhi kumaMuslim namaBuddha, kungabe unjalo nakuwo? Uwabekele imingcele, nawo, futhi awavumele ukuthi abe nezindawo zawo, ngaphandle kokuphazamisa enkolweni yawo. Konke kuhlelwe kahle. Yini oyibona kukho konke lokhu? Ukuthi uNkulunkulu ugajwa yigunya lokuphatha, kodwa akalisebenzisi ngeze igunya Lakhe. UNkulunkulu uhlela zonke izinto ngokuyikho, ngendlela eyiyo, kulokhu kubonakala ubuhlakani kanye nobukhulu Bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 198)

Ubunjalo Kanye Nesimo SikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe

UNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto. Asikho isidalwa sikaNkulunkulu—singaba kubantu, noma emhlabeni kamoya—esingasebenzisa noma ini ukuzenza noma ukuthatha indawo kaNkulunkulu nobunjalo kanye nesimo Sakhe, ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile. Uhlala aphinde ahambele zonke izinto; ukwazi ukukhuphukela ezindaweni eziphakeme, ngaphezu kwazo zonke izinto; ukwazi ukuzithoba ngokuthi abe ngumuntu, abe ngoyedwa wethu esisenyameni negazi, ahlangabezane nabantu ubuso nobuso ehlanganyela ubuhlungu nathi ebubula; ngasikhathi sinye, eyala konke okukhona, enquma isiphelo sakho konke okukhona, enika inkombandlela okumele kuyithathe; ngaphezu kwalokho, uhlahla indlela yesiphelo somuntu, nenkombandlela yomuntu. UNkulunkulu ofana nalona udinga ukudunyiswa, ukulalelwa, kanye nokwaziwa yikho konke okuphilayo. Ngakho, ngaphandle kokunaka ukuthi umuntu ukuliphi iqembu noma uhlobo, ukukholwa nguNkulunkulu, ukumlandela uNkulunkulu, ukumesaba uNkulunkulu, ukwamukela umthetho kukaNkulunkulu, nokwamukela izinhlelo zikaNkulunkulu ezithinta isiphelo sakho ukuphela kwento edinga ukukhethwa, ukukhetha okunesidingo, kunoma yimuphi umuntu, kunoma yini ephilayo. Ekubeni ngohlukile kukaNkulunkulu, abantu bayabona ukuthi igunya Lakhe, ukulunga nokuziphatha Kwakhe, ubuYena, kanye nendlela ahlinzekela ngayo ezintweni zonke kwehlukile; ukwehluka Kwakhe kuveza ubunjalo Bakhe obuyiqiniso Ngaye Uqobo, futhi kuveza isimo Sakhe. Ngakho, kuzo zonke izidalwa, uma abaphila emhlabeni kamoya noma esintwini bebefise ukuma esikhundleni sikaNkulunkulu, bekungeke kwenzeke, bekuyofana nokuzama ukuzenza uNkulunkulu. Yiqiniso leli. Yiziphi izidingo zomuntu ongokaMdali noMbusi ofana nalona, onobunjalo, amandla, nesimo sikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe? Kumele kucace lokhu kuwo wonke umuntu, futhi kumele kukhunjulwe yibo, futhi kubalulekile Kuye uNkulunkulu kanye nakumuntu!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 199)

Ukuhlukahlukana Kokuziphatha Kwesintu kuNkulunkulu

Indlela abantu abaziphatha ngayo kuNkulunkulu iyona enquma isiphelo sabo, futhi iyona enquma ukuthi uNkulunkulu kumele aziphathe aphinde abaphathe kanjani. Kulesi sikhathi ngizonikeza izibonelo ezimbalwa ukuthi abantu baziphatha kanjani kuNkulunkulu. Make sizwe ukuthi ukuziphatha nemikhuba okubhekiswa kuNkulunkulu kufanelekile yini noma cha. Make sibheke ukuziphatha kwalaba bantu abayisikhombisa abalandelayo:

1) Kunohlobo lomuntu okuziphatha kwakhe phambi kukaNkulunkulu kuyamangaza nje kakhulu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyiBodhisattva noma ungumuntu ongcwele onobuhlakani bomuntu, udinga abantu bamkhothamele izikhathi ezintathu uma behlangana Naye bashise impepho emva kokudla. Ngalokho uma, ezinhliziyweni zabo, bebonga uNkulunkulu ngomhawu Wakhe, bebonga kuNkulunkulu, baba nesigubhugubhu ezinhliziyweni zabo. Bafisa ukuthi lo Nkulunkulu abamkhonza namuhla, njengongcwele abamfisayo ezinhliziyweni zabo, angamukela ukuziphatha kwabo Kuye ngoba bakhothama kathathu uma behlangana Naye, bashise nempepho uma beqeda ukudla.

2) Abanye abantu babona uNkulunkulu enjengomBuddha elikwazi ukususa konke okuphilayo ekuhluphekeni, elinokubasindisa; babona uNkulunkulu engumBuddha ophilayo okwazi ukubakhipha olwandle lwezinkathazo. Laba bantu ukukholwa kwabo kuNkulunkulu ukuba bamkhonze uNkulunkulu sengathi ungumBuddha. Nakuba bengashisi mpepho, ikowtow, noma banikele iminikelo, ezinhliziyweni zabo uNkulunkulu ungumBuddha onjalo nje, futhi ufuna babe nomusa baphe, bangabulali lutho oluphilayo, bangethuki abanye abantu, baphile impilo ebonakala inokwethembeka, bangenzi lutho olubi—kube yilezi zinto kuphela. Lona nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo.

3) Abanye abantu bakhonza uNkulunkulu njengomuntu omkhulu noma odumile. Isibonelo, noma ngandlelani lo muntu athanda ukukhuluma ngayo, noma yingaliphi izwi alikhulumayo, amagama olimi awasebenzisayo, izwi lakhe, iminyakazo yesandla, imibono kanye nezenzo zakhe, ukuqonda kwakhe—bayakubonela konke, kanti yizinto lezi okumele babe nazo ngenkathi behamba inkambo yokukholwa nguNkulunkulu.

4) Abanye abantu babona uNkulunkulu engumphathi omkhulu, bezwa sengathi ungaphezu kwakho konke okunye, akekho okwazi ukumedelela—uma bekwenzile lokho, bazojeziswa. Bakholwa yilo mphathi ngoba abaphathi banendawo ethile ezinhliziyweni zabo. Imicabango, indlela yokuziphatha, igunya kanye nobunjalo babaphathi—izinto abazithandayo kanye nempilo yabo nje—konke kuba yinto laba bantu okumele bayiqonde, izindaba abazikhathalelayo, ngakho bakhonza uNkulunkulu sengathi ungumphathi. Lokhu kukholwa kuyihlaya.

5) Abanye abantu banokukholwa okuthile ebukhoneni bukuNkulunkulu, okujulile nokunganyakaziseki. Kungoba ulwazi ngoNkulunkulu luncane kangangoba abanawo amava amazwi ngoNkulunkulu, bayamdumisa nje njengesithombe. Lesi sithombe nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo, yinto nje okumele bayesabe bayikhothamele, okumele bayilandele bayilingise. Babona uNkulunkulu eyisithombe, leso okumele basilandele impilo yabo yonke. Balingisa izwi akhuluma ngalo uNkulunkulu, ngaphandle balingisa labo abathandwa nguNkulunkulu. Bavame ukwenza izinto ezikhombisa ukungakhuli ngomqondo, eziyizo ngokuphelele, ezethembekile, kanti balandela lesi sithombe njengesiwumlingani noma wudobolwana abangasoze behlukana naye. Lokho yikhona kukholwa kwabo.

6) Kunalabo bantu, nakuba befunde okuningi ngoNkulunkulu namazwi aKhe bezwa ngezintshumayelo, abezwa ezinhliziyweni zabo ukuthi umthetho okungukuphela kwawo wokuziphatha kuNkulunkulu ukuthi kumele bamkholwe sengathi abaphilile futhi abacabangi, noma kumele bamdumise uNkulunkulu bamphakamise ngendlela engaphezu kokwenza. Bakholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu odinga ukuthi baziphathe ngendlela yokuthi, uma bengakwenzi lokho, noma kunini bangase bavuse ulaka Lwakhe khona noma bone Kuye, nokuthi imiphumela yokona kuyodingeka uNkulunkulu abajezise. Lowo nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo.

7) Bese kuba neningi labantu, abazitholela ukunethezeka komoya kuNkulunkulu. Kungoba baphila kulo mhlaba, abanakho ukuthula nenjabulo, abakutholi ndawo ukududuzeka. Emva kokuthola uNkulunkulu, uma sebebone baphinda bezwa amazwi Akhe, ezinhliziyweni zabo bajabulela ngasese bathakase. Lokhu kungenxa yokuthi bakholwa ukuthi ekugcineni sebethole indawo ezobanika injabulo, ukuthi ekugcineni bamtholile uNkulunkulu ozobapha ukuphumula emoyeni. Emva kokwamukela uNkulunkulu futhi baqala ukumlandela, bayajabula, impilo yabo iyapheleliseka, abasafani nabangakholwayo, abaphupha behamba empilweni njengezilwane, bezwa kukhona into abethembele kuyo empilweni. Ngalokho, bacabanga ukuthi lo Nkulunkulu wenelisa izidingo emoyeni wabo uletha futhi ukujabula okukhulu emqondweni nasemoyeni. Bengazelele, abakwazi ukushiya lo Nkulunkulu obapha ukuphumula emoyeni, obanika injabulo emoyeni wabo nasemndenini wonke. Bakholwa ukuthi ukukholwa uNkulunkulu akudingi okungaphezu kokuphumula emoyeni.

Ngabe ukuziphatha phambi kukaNkulunkulu kwalezi zinhlobo ezahlukahlukene zabantu ezishiwo ngenhla kukhona kinina? (Kukhona.) Uma, ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, kukhona onhliziyo yakhe inalokhu kuziphatha, bayakwazi ukuma ngeqiniso phambi kukaNkulunkulu? Uma kukhona onhliziyo yakhe inalokhu kuziphatha, bayakholwa kuNkulunkulu? Bayakholwa ukuba Kwakhe nguNkulunkulu ohlukile Uqobo Lwakhe? (Cha.) Njengoba ungakholwa kuNkulunkulu owehlukile Uqobo Lwakhe, ukholwa kubani? Uma lokho okholwa yikho kungeyena uNkulunkulu Uqobo owehlukile, kungenzeka ukuthi ukholwa yisithombe, noma yindoda enkulu, noma yiBodhisattva, ukuthi udumisa ubuBuddha enhliziyweni yakho. Ngale kwalokho, kungenzeka ukuthi ukholwa ngumuntu ojwayelekile nje. Uma sihlanganisa, ngenxa yokukholwa kwabantu okuhlukahlukene nokuziphatha kwabo phambi kukaNkulunkulu, abantu banoNkulunkulu wabo nje wokuzakhela ezinhliziyweni zabo, bakha isithombe emqondweni ngoNkulunkulu, babeka ukuziphatha nemicabango yabo ngoNkulunkulu ndawonye noNkunkulu Uqobo oyingqayizivele, bese, kamuva, bemphakamisa ukuthi angcweliswe. Kusho ukuthini uma abantu beba nokuziphatha okungafanele kanje phambi kukaNkulunkulu? Kusho ukuthi bayamphika uNkunkulu Uqobo weqiniso ukuba bakhonze uNkulunkulu wamanga, bese kusho ukuthi ngesikhathi esifanayo bakholwa kuNkulunkulu, baphika uNkulunkulu, bamelene Naye, bayakuphika ukuba khona kukaNkulunkulu weqiniso. Uma abantu bebambelela kulolo hlobo lokukholwa, izoba yini imiphumela yabo? Uma bekholwa kanjalo, kungabe bayasondela ekweneliseni izidingo zikaNkulunkulu? (Cha, abasondeli.) Ngasohlangothini oluphikayo, ngenxa yokuqubuka kwemicabango, abantu bazoqhela kakhulu kuNkulunkulu nezindlela Zakhe, ngoba indlela abayifunayo yileyo engayi lapho uNkulunkulu edinga ukuthi baye khona. Nike nayizwa indaba ethi “ukuya eningizimu ushayela inqola eya enyakatho”? Lokhu kungasho ukuhamba ngenqola eya enyakatho wena uya eningizimu. Uma abantu bekholwa uNkulunkulu ngendlela ewubulima kanjalo, kusho ukuthi noma ungazama kanzima kanjani, uzoqhela kakhulu kuNkulunkulu. Ngakho-ke nginexwayisa ngalokhu: Ngaphambi kokuthi niqhubeke, kumele niqale ngokuhlukanisa kuqala ukuthi nilandela inkombandlela efanele yini. Qondani ukuthi niya kuphi emizameni yenu ninodwa, qinisekani ukuthi niyazibuza ukuthi, “Ngabe uNkulunkulu engimkholwayo Nguye uMbusi phezu kwezinto zonke? Ngabe lo Nkulunkulu engimkholwayo ngumuntu onginika ukudla komoya nje kuphela? Ngabe uyisithombe sami? Ucelani lo Nkulunkulu kimi? Ngabe uNkulunkulu uyakwamukela konke engikwenzayo? Ngabe konke engikufunayo kungukufuna ukwazi uNkulunkulu? Ngabe kuhambisana nokudingwa nguNkulunkulu kimi? Ngabe indlela engiyihambayo uyayibona futhi uyayamukela uNkulunkulu? Ngabe uNkulunkulu wanelisiwe ukukholwa kwami?” Kumele njalo uzibuze ngokuphindaphinda le mibuzo. Uma ufuna ukwazi uNkulunkulu, kumele ube nonembeza kanye nezinjongo ezicacile ngaphambi kokuthi ukwazi ukwanelisa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 200)

Ukuziphatha Okudingwa uNkulunkulu Isintu Okumele sibe nakho Kuye

Eqinisweni, uNkulunkulu akagcinezeli muntu ngakufunayo kuye—okungenani, akagcinezeli abantu ngendlela abaningi abayicabangayo. Ukuba uNkulunkulu akakhulumanga mazwi, ukuba akavezanga isimo Sakhe, noma yiziphi izenzo, kusho ukuthi ukwazi uNkulunkulu bekungaba lukhuni kakhulu kini, ngoba abantu bekungadingeka bacabangele nje inhloso kaNkulunkulu nentando bukaNkulunkulu kanye nezinjongo Yakhe, okulukhuni kakhulu kubo. Kodwa esinyathelweni sokugcina somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu ukhulume ngamazwi amaningi, wenza umsebenzi omkhulu, wenza izidingo eziningi enzela umuntu. Emazwini Akhe, nasemsebenzini Wakhe omkhulu, usebazisile abantu ukuthi uthandani, akuzondayo, nokuthi bamelwe ukuba ngabantu abanjani. Emva kokuqonda lezi zinto, ezinhliziyweni zabo abantu bekumele babe nencazelo enembayo yezidingo zikaNkulunkulu, ngoba abakholelwa kuNkulunkulu phezu kokungacaci nokuba kude naye, abasakholelwa kuNkulunkulu ongacacile, noma ukulandela uNkulunkulu kokungacaci nokuba kude, nobuze; esikhundleni salokho, abantu bayakwazi ukuzwa amazwi kaNkulunkulu, bayakwazi ukuqonda izimiso zezidingo Zakhe, bazifeze, bese uNkulunkulu esebenzisa ulimi lwesintu ukwazisa abantu ngakho konke okumele bakwazi futhi bakuqonde. Namuhla, uma abantu bangangazazi izidingo zikaNkulunkulu kubo, ukuthi uNkulunkulu uyini, kungani bekholwa kuNkulunkulu, nokuthi kumele bakholwe wuNkulunkulu baziphathe kahle phambi kwakhe, kulokhu kunenkinga. … UNkulunkulu unezidingo ezifanelekile azilindele kumuntu kanye nakulabo abamlandelayo kanti yilezi. UNkulunkulu udinga izinto ezinhlanu kulabo abamlandelayo: ukukholwa okuliqiniso, ukumlandela ngokwethembeka, ukugcina imiyalelo Yakhe ngokuphelele, ulwazi oluyiqiniso, nokumdumisa okuphuma enhliziyweni.

Kulezi zinto ezinhlanu, okokuqala uNkulunkulu udinga ukuthi abantu bangabi nemibuzo Ngaye, noma bamlandele besebenzisa izithombe ezisemiqondweni yabo Ngaye noma ngendlela engacacile nekude; kumele bangamlandeli uNkulunkulu begcwele imifanekiso emiqondweni yabo noma benokucabangela. UNkulunkulu udinga ukuthi wonke umuntu kwabamlandelayo akwenze ngokwethembeka lokho, hhayi ngenhliziyo engaphelele noma ngokungazinikeli. Uma uNkulunkulu enza izidingo kuwe, ukukuhlola, ukukwahlulela, ekuhluba ekucwecwa, noma ekunika iziyalo nemivimbo, kumele umthobele. Akumele ubuze imbangela, noma uzakhele imibandela, ikakhulukazi yekela ukukhuluma ngezizathu. Ukugcina kwakho imiyalelo Yakhe kumele kube ngokumiyo. Ukwazi uNkulunkulu yiphuzu abantu abangebahle neze neze kulo. Bavame ukunika uNkulunkulu izisho, izinkulumo, amazwi angahambisani Naye, bekholwa ngukuthi lawo mazwi yiwo achaza ngokunembayo ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Ulwazi lwabo ngalezi zisho luncane kakhulu, izisho ezivela kubantu nemicabango yabo, nemifanekiso yemiqondo yabo, kanye nokuhlakanipha kwabo, azihlobani nhlobo notho uNkulunkulu ayilo. Ngakho, engifuna ukunitshela khona ukuthi, olwazini kubantu abafiswa wuNkulunkulu, uNkulunkulu akaceli ukuthi uvele umazi nje uNkulunkulu namazwi Akhe, kodwa kumele ulwazi lwakho lukaNkulunkulu lushaye emhlolweni. Noma ungakhuluma umusho owodwa, noma ube ngowazi okuncane ngoNkulunkulu, lokho okuncane makube ngokuyikho okuliqiniso futhi, kuhambisane notho uNkunkulu Uqobo Lwakhe ayilo. UNkulunkulu uyabazonda abantu abamncoma bamphakamise ngokungekhona nokungahloliwe. Ngaphezu kwalokho, uzonda ukubona abantu bemthatha njengomoya ovunguzayo. Uyakuzonda lokho, ukuthi uma kuxoxwa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu, abantu bakhulume budlabha, bekhuluma ngokuzethemba nokungangabazi, besho ababona kufanele bakusho; phezu kwalokho, uzonda labo abakholwa ukuthi bayamazi uNkulunkulu, bebe beziqhenya ngokwazi kwabo uNkulunkulu, bexoxa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu ngaphandle kokuvimbeleka noma ngokuhleleka. Okokugcina ezidingweni ezinhlanu ukumdumisa okuphuma enhliziyweni. Lokhu yisidingo esinqala sikaNkulunkulu esingesokugcina ezidingweni zalabo abamlandelayo. Uma umuntu enolwazi olunembayo noluyiqiniso ngoNkulunkulu, uyakwazi ukumdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu avike ububi. Lokho kumdumisa kuvela ekujuleni kwenhliziyo, kunokulangazelela, akusho ukuthi uNkulunkulu umphoqile. UNkulunkulu akaceli ukuthi uze ukhiphe isipho sokuziphatha kahle, noma ukuzimisa, noma ukuzibonakalisa ingaphandle lakho ngaye; esikhundleni salokho, ucela ukuthi umdumise ngokumesaba kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho. Lokhu kumdumisa kuvela emiphumeleni yokuguquka kwesimo sempilo yakho, ngoba unolwazi ngoNkulunkulu, ngoba unokumqonda uNkulunkulu nezenzo Zakhe, ngoba umqonda uNkulunkulu nobuYena, nangoba umqonda wamukela ukwazi ukuthi wena ungomunye wezidalwa zikaNkulunkulu. Ngakho, inhloso yami ekusebenziseni amagama “ekujuleni kwenhliziyo” ukuchaza indlela yokudumisa kungoba ngifuna umuntu aqonde ukuthi ukudumisa kwabantu uNkulunkulu kumele kusuke ekujuleni kwezinhliziyo.

Zibhekisise manje lezi zidingo ezinhlanu: Bakhona lapha kinina abakwaziyo ukufinyelela kwezokuqala ezintathu? Ngalokhu ngiqonde ukumkholwa ngeqiniso, ukumlandela okunokwethembeka, nokugcina imiyalelo Yakhe ngokugcwele. Bakhona kini abakwazi ukukwenza konke lokhu? Ngiyazi ukuthi uma ngike ngathi kokuhlanu, kuzosho ukuthi akukho noyedwa wenu abangakwazi—kodwa nginehlisele ngabeka kokuthathu. Cabanga ukuthi nifinyelele yini kuzo zonke noma cha. Ngabe “ukukholwa ngeqiniso” kulula ukukwenza? (Cha, akulula.) Akulula, ngokuthi abantu banemibuzo ngoNkulunkulu. Futhi nithini “ngokulandela okunokwethembeka” Kubhekise kuphi lokhu ukuthi “okunokwethembeka”? (Usho ukungabi ngomlandela ngenhliziyo engaphelele kodwa ngayo yonke inhliziyo.) Hhayi ngenhliziyo engaphelele, kodwa ngayo yonke inhliziyo. Ushaye emhlolweni. Niyakwazi ngalokho ukufinyelela kulesi sidingo? Kumele nizame kakhudlwana, Angithi? Okwamanje kumele anikafinyeleli kulesi sidingo! Kusho ukuthini-ke ukuthi “ukugcina imiyalelo Yakhe ngokugcwele”—ufinyelele kulokho khona? (Cha.) Awukakafinyeleli kukho, nakho. Ucishe ube ngongagcini imiyalelo nhlobo, ungumhlubuki, awulaleli, noma usafisa ukugcina imiyalelo, noma usafuna ukuzwa. Lezi yizidingo ezibalulekile ezintathu ezidingeka kumuntu emva kokungena empilweni, kinina kusadingeka ukuthi niphumelele kuzo. Ngakho, okwamanje, nibona ninawo amandla okufinyelela kulokhu? Namuhla, lapho seningizwile ngisho la mazwi, ngabe nizizwa niba nexhala? (Yebo.) Kufanelekile ukuthi nizwe ninexhala—Ningabi nexhala. Ngizwa nginexhala egameni lenu. Ngeke ngisafika kulezi ezinye ezimbili izidingo; ngaphandle kokungabaza, akekho okwazi ukufinyelela kuzo. Ninexhala. Ngakho senizibhekile izinjongo zenu? Ziphi izinjongo, ezibheke kuphi, kumele nizibheke, nizinikele kuzo? Ninazo izinjongo? Ngicela ukukhuluma ngiqondise: Uma nifinyelele kulezi zidingo ezinhlanu, nizobe nimenelisile uNkulunkulu. Isidingo ngasinye siyinkomba, inkomba yabantu abangene empilweni baye bafinyelela ekukhuleni, nasesidingweni sokugcina salokhu. Noma ngingakhetha sibe sinye salezi zidingo ngakhuluma ngajula ngaso njengokuba siyisidingo kini, angeke kwaba lula ukufinyelela kuso; kumele nibekezelele ubunzima obuyisilinganiso esithile bese nifaka imizamo eyisilinganiso esithile. Luhlobo luni lokucabanga okumele nibe nalo? Kumele nibe njengesiguli esinomdlavuza ngenkathi silindele ukuyohlinzwa. Kungani ngisho kanje? Uma ufisa ukukholwa wuNkulunkulu, ufisa ukumzuza uNkulunkulu uthole ukwaneliswa Nguye, uma ungeke ubekezelele ubunzima obuyisilinganiso esithile ufake imizamo eyisilinganiso esithile, angeke ukwazi ukuzizuza lezi zinto. Seniyizwile intshumayelo eningi, kodwa ukuyizwa akusho ukuthi le ntshumayelo ngeyenu; kumele uyithathe uyiguqulele entweni ezoba ngeyakho, kumele uyifake empilweni yakho, uyilethe ebukhoneni bakho, uvumele la mazwi nentshumayelo ukuthi kuhlahle indlela ophila ngayo, wenze impilo yakho ibaluleke futhi ibe nokuqonda—uzobe sewuthola ukuthi kunomphumela omuhle ukulalela la mazwi. Uma amazwi engiwakhulume kuwe engalethanga nguquko empilweni yakho, noma ukubaluleka ebukhoneni bakho, asikho isidingo sokuthi uwalalele. Uyakuqonda lokhu, yebo? Uma uzwile, okusele ukuthi sekungawe. Wuqale umsebenzi! Kumele ube uthembeke kuzo zonke izinto! Ungabi nje ngumuntu ophakathi nendawo—isikhathi siyabaleka! Abaningi lapha kini sebebe ngabakholwayo iminyaka elishumi nangaphezulu. Ake niqalaze emuva kule minyaka elishumi; Nizuze kangakanani? Usalelwe iminyaka engamashumi amangaki? Akusona isikhathi eside leso. Khohlwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ukulindile noma cha, ukuthi ukushiyele ithuba noma cha, ukuthi uzophinda enze umsebenzi ofanayo noma cha. Uyakwazi ukubuyisela emuva iminyaka yakho elishumi edlule? Ngosuku ngalunye oludlulayo nesinyathelo esisodwa osithathayo, izinsuku onazo zifinyela ngosuku olulodwa ngesikhathi. Isikhathi asilindi muntu! Uzozuza ekukholweni nguNkulunkulu kuphela uma ukuthatha njengento ebaluleke kakhulu empilweni yakho, kube yinto ephambili ngaphezu kokudla, kwezingubo, nangaphezu kwakho konke okunye! Uma ukholwa ngoba unesikhathi kuphela, ungakwazi ukunikela ubuwena bonke ekukholweni kwakho, uma uhlale ubishe ekudidekeni, angeke uzuze lutho.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukwazi UNkulunkulu 4

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp