Ukwazi UNkulunkulu 3

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 83)

UNkulunkulu Usebenzisa Amazwi Ukudala Zonke Izinto

UGenesise 1:3-5  Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona ukukhanya: kwase kuba khona ukukhanya. Futhi uNkulunkulu wakubona ukukhanya ukuthi kuhle: Wase uNkulunkulu ehlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabe esebiza ukukhanya ngokuthi iMini, kanti ubumnyama wakubiza ngokuthi uBusuku. Kwase kuba ukuhlwa nokusa usuku lokuqala.

UGenesise 1:6-7  Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi. Futhi uNkulunkulu wabe esenza umkhathi, futhi wahlukanisa amanzi ayengaphansi komkhathi emanzini ayengaphezu komkhathi: futhi kwaba njalo.

UGenesise 1:9-11  Futhi uNkulunkulu wathi: Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kubonakala umhlabathi owomileyo: futhi kwaba njalo. UNkulunkulu wase ebiza umhlabathi owomileyo ngokuthi uMhlaba, nokuqoqeleka kwamanzi ndawonye wawabiza ngokuthi uLwandle: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wabe esethi, Umhlaba mawuveze utshani, imifino ethela imbewu, kanye nemithi yezithelo ethela izithelo zohlobo lwayo, embewu yayo ikuyo, emhlabeni: futhi kwaba njalo.

UGenesise 1:14-15  Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ukwahlukanisa imini kubusuku; futhi azibe yizibonakaliso, zezinkathi zonyaka, zezinsuku, nezeminyaka: Zibe futhi yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni: futhi kwase kuba njalo.

UGenesise 1:20-21  Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kanye nezinyoni ezizondiza phezu komhlaba emkhathini wezulu. UNkulunkulu wase edala imikhomo emikhulu, nazo zonke izilwane eziphilayo ezihambayo, ezavezwa amanzi ngokugcwala kwazo, ngokwezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngohlobo lwazo: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UGenesise 1:24-25  Futhi uNkulunkulu wathi, Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngokwezinhlobo zazo, izinkomo, nokunwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngokwezinhlobo zazo: futhi kwaba njalo. Futhi uNkulunkulu wenza izilo zomhlaba ngokwezinhlobo zazo. nezinkomo ngokwezinhlobo zazo, nakho konke okunwabuzelayo emhlabeni ngokwezinhlobo zazo: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Ngosuku Lokuqala, Usuku Nobusuku Besintu Buyazalwa Futhi Buma Buqine Ngenxa Yegunya LikaNkulunkulu

Ake sibheke lesi siqephu sokuqala: “Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona ukukhanya: kwase kuba khona ukukhanya. Futhi uNkulunkulu wakubona ukukhanya ukuthi kuhle: Wase uNkulunkulu ehlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabe esebiza ukukhanya ngokuthi iMini, kanti ubumnyama wakubiza ngokuthi uBusuku. Kwase kuba ukuhlwa nokusa usuku lokuqala” (UGenesise 1:3-5). Lesi siqephu sichaza isenzo sokuqala sikaNkulunkulu ekuqaleni kwendalo, nosuku lokuqala uNkulunkulu adlula kulo, okwakukhona kulo ukuhlwa nokusa. Kodwa kwakuwusuku olumangalisayo: uNkulunkulu waqala ukulungisela ukukhanya kwezinto zonke, futhi, phezu kwalokho, wahlukanisa ukukhanya ebumnyameni. Kulolu suku, uNkulunkulu waqala wakhuluma, futhi amazwi Akhe negunya kwakukhona kuncikene. Igunya Lakhe laqala lavela ezintweni zonke, kanti namandla Akhe asabalala phakathi kwezinto zonke ngenxa yamazwi Akhe. Kusukela ngalolo suku kuqhubeka, zonke izinto zadalwa futhi zama zaqina ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, igunya likaNkulunkulu, kanye namandla kaNkulunkulu, futhi zaqala zasebenza ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, igunya likaNkulunkulu, namandla kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu esho la mazwi “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu akenzanga lutho; ukukhanya kwakuvele ngenxa yamazwi Akhe. Yilokhu kukhanya uNkulunkulu akubiza ngosuku, futhi umuntu asathembele kukho nanamhlanje ukuze aphile. Ngenxa yomyalo kaNkulunkulu, ingqikithi nokubaluleka kwakho akukaze kuguquke, futhi akukaze kunyamalale. Ukuba khona kwakho kukhombisa igunya namandla kaNkulunkulu, futhi kwazisa ingqikithi yoMdali, futhi kuqinisekisa ngokuphindelela ubunjalo nesikhundla soMdali. Akuyona into engathinteki, noma ekhohlisayo, kodwa kungukukhanya okubonwa ngumuntu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, kulo mhlaba ongenalutho lapho “umhlaba wawungenasimo, futhi ungenalutho; futhi kunobumnyama ebusweni botwa,” kwakhiqizwa into yokuqala ephathekayo. Le nto yavela emazwini omlomo kaNkulunkulu, futhi yavela esenzweni sokuqala sokudalwa kwezinto zonke ngenxa yegunya namazwi kaNkulunkulu. Ngokushesha emuva kwalokho uNkulunkulu wayala ukukhanya nobumnyama ukuthi kuhlukane… Yonke into yaguquka futhi yaphelela ngenxa yamazwi kaNkulunkulu… UNkulunkulu wakubiza lokhu kukhanya ngokuthi “Imini,” nobumnyama wabubiza ngokuthi “Ubusuku.” Kusukela ngaleso sikhathi, ubusuku bokuqala nemini yokuqala yakhiwa emhlabeni uNkulunkulu ayeqonde ukuwudala, futhi uNkulunkulu wathi lolu usuku lokuqala. Lolu suku kwabe kungusuku lokuqala lokudalwa kwezinto zonke nguMdali, futhi kwakungukuqala kokudalwa kwezinto zonke, futhi kwaba okungokokuqala lapho igunya namandla oMdali ayebonakalisiwe kulo mhlaba ayewudalile.

Ngala mazwi, umuntu uyakwazi ukubona igunya likaNkulunkulu, kanye negunya lamazwi kaNkulunkulu kanye namandla kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi nguNkulunkulu yedwa onamandla angaka, ngakho nguNkulunkulu yedwa onegunya elikhulu, futhi ngenxa yokuthi uNkulunkulu unegunya elingaka, ngakho nguNkulunkulu yedwa onamandla angaka. Kungaba khona umuntu noma into enegunya namandla angaka? Ikhona impendulo ezinhliziyweni zenu? Ngaphandle kukaNkulunkulu sikhona isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga esinegunya elingaka? Nike nasibona isibonelo sento enje kunoma iziphi ezinye izincwadi noma okushicilelwe? Ukhona noma yimuphi umlando othi umuntu othile wadala amazulu nomhlaba kanye nezinto zonke? Akuveli kunoma iziphi ezinye izincwadi noma emlandweni; lawa, ngempela, iwona wodwa amazwi agunyaziwe futhi anamandla ngendalo emangalisayo kaNkulunkulu, abhalwe eBhayibhelini, futhi la mazwi akhuluma ngegunya eliyingqayizele likaNkulunkulu, nobunjalo obuyingqayizivele bukaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi igunya namandla angaka kuwuphawu lobunjalo obungqayizivele bukaNkulunkulu? Kungashiwo ukuthi ngakaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu yedwa? Ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu kuphela onegunya namandla angaka! Leli gunya namandla angeke kube ngawanoma ikuphi okudaliwe noma okungadalwanga noma athathelwe indawo inoma ikuphi okudaliwe noma okungadalwanga! Ngabe ngesinye sezici zikaNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe? Ingabe senikubonile? La mazwi avumela abantu ukuthi ngokushesha nangokucacile baqonde iqiniso lokuthi uNkulunkulu unegunya eliyingqayizivele namandla ayingqayizivele futhi unobunjalo nesikhundla esiphakeme. Kule hlanganyelo engaphezulu, ningasho ukuthi uNkulunkulu enikholwa kuye unguNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 84)

Ngosuku Lwesibili, Igunya likaNkulunkulu Lihlela Amanzi, Futhi Lenza Utwa, Bese Kuvela Indawo Yokuphila Kwabantu Okuyisisekelo Kakhulu

“Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi. Futhi uNkulunkulu wabe esenza umkhathi, futhi wahlukanisa amanzi ayengaphansi komkhathi emanzini ayengaphezu komkhathi: futhi kwaba njalo” (UGenesise 1:6-7). Iziphi izinguquko ezenzeka emuva kokuthi uNkulunkulu ethe “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi.”? EmiBhalweni kuthi: “Futhi uNkulunkulu wabe esenza umkhathi, futhi wahlukanisa amanzi ayengaphansi komkhathi emanzini ayengaphezu komkhathi.” Kwaba yini umphumela emuva kokuthi uNkulunkulu esekhulumile futhi wenza lokhu? Impendulo ilele engxenyeni yokugcina yesiqephu: “futhi kwaba njalo.”

Le misho emibili emifushane iqopha isigameko esimangalisayo, futhi ichaza inkundla emangalisayo—umsebenzi omkhulu kakhulu lapho uNkulunkulu walawula amanzi, futhi wadala indawo umuntu ayengaphila kuyo …

Kulo mfanekiso, amanzi nomkhathi kuvela phambi kwamehlo kaNkulunkulu ngokuphazima kweso, aphinde ahlukaniswa yigunya lamazwi kaNkulunkulu, futhi ahlukaniswa kokungaphezulu nokungaphansi ngendlela ehlelwe nguNkulunkulu. Okungukuthi, umkhathi odalwe nguNkulunkulu awuzange wemboze amanzi angaphansi kuphela, kodwa futhi wasekela amanzi angaphezulu…. Kulokhu, umuntu akakwazi kwenza lutho ngaphandle kokuthi agqolozele, adideke, futhi ababaze ngokuncoma ngenxa yobuhle obukhulu benkundla lapho uMdali adlulisa khona amanzi, waphinde wawayala amanzi, futhi wadala umkhathi, futhi ngamandla egunya Lakhe. Ngamazwi kaNkulunkulu, ngamandla kaNkulunkulu, kanye negunya likaNkulunkulu, uNkulunkulu waphumelela ukwenza esinye isenzo esibalulekile. Akuwona lawa amandla egunya loMdali? Masisebenzise imibhalo ukuchaza izenzo zikaNkulunkulu: uNkulunkulu wakhuluma amazwi Akhe, futhi ngenxa yala mazwi kwaba khona umkhathi phakathi kwamanzi. Khona manjalo, uguquko olukhulu kakhulu lwenzeka kule ndawo ngenxa yala mazwi kaNkulunkulu, futhi kwakungelona uguquko olujwayelekile, kodwa kwabakhona ukuthathelana isikhundla lapho into engelutho yaphenduka utho. Lwazalwa yimicabango yoMdali, kwabakhona utho kukade kungekho lutho ngenxa yamazwi akhulunywa1 nguMdali, futhi, ngaphezu kwalokho kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeka, kwakuzoba khona futhi kume, ngenxa yoMdali, futhi kwakuzonyakaza, kuguquke, kwenziwe kabusha ngokuhambisana nemicabango yoMdali. Lesi siqephu sichaza isenzo sesibili soMdali ekudaleni Kwakhe umhlaba wonke. Kwabe kungokunye ukuvezwa kwegunya namandla oMdali, futhi kungesinye isenzo soMdali esicaba indlela. Lolu suku kwakungusuku lwesibili uMdali aba nalo kusukela ekudalweni komhlaba, futhi kwakube usuku olumangalisayo Kuye: Wahamba phakathi kokukhanya, waletha umkhathi, wahlela futhi walawula amanzi, kanti izenzo Zakhe, igunya Lakhe, kanye namandla Akhe kwasetshenziswa kulolu suku olusha ….

Wawukhona umkhathi phakathi kwamanzi ngaphambi kokuthi uNkulunkulu akhulume amazwi Akhe? Impela akunjalo! Kanti emuva kokuthi uNkulunkulu ethe “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi?” Izinto ezazihloswe uNkulunkulu zavela; kwabakhona umkhathi phakathi kwamanzi, namanzi ahlukana ngenxa yokuthi uNkulunkulu ethe “Awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi.” Ngale ndlela kulandela amazwi kaNkulunkulu izinto ezimbili ezintsha, izinto ezimbili ezisanda kuzalwa zavela phakathi kwezinto zonke ngenxa yegunya namandla kaNkulunkulu. Futhi nizizwa kanjani ngokuvela kwalezi zinto ezimbili ezintsha? Niyabuzwa ubukhulu bamandla oMdali? Niyawuzwa umfutho oyingqayizivele futhi ongavamile woMdali? Ubukhulu bomfutho namandla angaka kungenxa yegunya likaNkulunkulu kanti leli gunya limele uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi liyisici esiyingqayizivele sikaNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Lesi iqephu ingabe sininike okunye ukuqonda okujulile ngobungqayizivele bukaNkulunkulu? Kodwa lokhu akwanele neze; igunya namandla oMdali kukhulu kakhulu kunalokhu. Ubungqayizivele Bakhe akungenxa kuphela yokuthi unokuthile okungafani nokwesinye isidalwa, kodwa kungenxa yokuthi futhi igunya namandla Akhe angavamile, angenamkhawulo, ayababazeka kunawo wonke, futhi amile ngaphezu kwawo wonke, futhi okudlula lokho, ngenxa yokuthi igunya Lakhe nalokho Anakho nayikho kungadala ukuphila, futhi kwenze izimangaliso, kuphinde kudale umzuzu nomzuzwana ngamunye ngamunye omangalisayo futhi ongavamisile. Ngaleso sikhathi Uyakwazi ukulawula ukuphila akudalayo, futhi aphathe ubukhosi phezu kwezimangaliso kanye nomzuzu nomzuzwana ngamunye awudalayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 85)

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kubonakala umhlabathi owomileyo.” Iziphi izinguquko ezenzeka emuva kokuthi uNkulunkulu evele wathi, “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kubonakala umhlabathi owomileyo”? Futhi yini eyabe ikhona kule ndawo ngaphandle kokukhanya nomkhathi? EmiBhalweni, kubhalwe ukuthi: “UNkulunkulu wase ebiza umhlabathi owomileyo ngokuthi uMhlaba, nokuqoqeleka kwamanzi ndawonye wawabiza ngokuthi uLwandle: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.” Okungukuthi, kwase kukhona umhlaba nezilwandle kule ndawo, umhlaba nezilwandle kwehlukaniswa. Ukuvela kwalezi zinto ezintsha kwalandela umyalelo womlomo kaNkulunkulu, “futhi kwaba njalo.” Ingabe umBhalo uchaza uNkulunkulu ephansi phezulu ngesikhathi enza lokhu? Ingabe imchaza ngokuthi wayenza umsebenzi wezikhwepha? Ngakho-ke konke lokhu kwenziwa kanjani nguNkulunkulu? UNkulunkulu wazenza kanjani ukuthi zonke lezi zinto zakheke. Ngokusobala, uNkulunkulu wasebenzisa amazwi ukwenza konke lokhu, ukudala lokhu konke.

…………

Asiqhubekele emshweni wokugcina walesi siqephu: “Futhi uNkulunkulu wathi, Umhlaba mawuveze utshani, imifino ethela imbewu, kanye nemithi yezithelo ethela izithelo zohlobo lwayo, embewu yayo ikuyo, emhlabeni: futhi kwaba njalo.” Ngesikhathi uNkulunkulu ekhuluma zonke lezi zinto zenzeka zabakhona kulandela imicabango kaNkulunkulu, ngokuphazima kweso, izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo ezincanyana zaqala ngokuntengantenga ukuveza amakhanjana azo enhlabathini, futhi nangaphambi kokuthi zizithintithe izinhlayiya zenhlabathi emizimbeni yazo, zase zivayizelana ngentokozo zibingelelana, zinqekuza, zimamathekela umhlaba. Zabonga uMdali ngokuphila ayeziphe kona, zamemezela emhlabeni ukuthi zaziyingxenye yezinto zonke, nokuthi zaziyonikela izimpilo zazo ukubonakalisa igunya loMdali. Lapho amazwi kaNkulunkulu ekhulunywa, izwe laklabusa futhi laba luhlaza, yonke inhlobo yemifino eyayingathandwa umuntu yaqhibuka yavela enhlabathini, kanti izintaba namathafa kwagcwala kwachichima izihlahla namahlathi… Lo mhlaba owawungatheli lutho, lapho okwakukade kungekho ngisho okuncane okukhomba impilo, wembozwa ngokushesha ngobuningi botshani, izithombo kanye nezihlahla futhi wachichima izinto eziluhlazana…. Amakha otshani nephunga elimnandi lenhlabathi kwasabalala emoyeni, nezinhlobonhlobo zezitshalo zaphefumula zihambisana nokuzungeza komoya, futhi kwaqala inqubo yokukhula. Khona manjalo, ngenxa yamazwi kaNkulunkulu futhi kulandela imicabango kaNkulunkulu, zonke izihlahla zaqala imijikelezo yokuphila engapheli lapho zikhula khona, ziqhakaze, zithele izithelo futhi zande. Zaqala zalandela ngokungaphazami izinkambo zazo zempilo, futhi zaqala zabamba iqhaza lazo phakathi kwazo zonke izinto…. Zonke zazalwa, futhi zaphila, ngenxa yamazwi oMdali. Zazizothola ukuhlinzekwa nokondliwa okungapheli nguMdali, futhi zisimame ziphile noma kunzima emagumbini wonke ezwe ukuze zikhombise igunya namandla oMdali, futhi zazizokhombisa amandla okuphila ezaphiwa wona uMdali …

Impilo yoMdali iyamangalisa, imicabango Yakhe iyamangalisa, kanti negunya Lakhe liyamangalisa, ngakho, kwathi lapho amazwi Akhe ephimiswa, umphumela ekugcineni kwaba ukuthi, “futhi kwaba njalo.” Ngokusobala, uNkulunkulu akadingi ukusebenza ngezandla Zakhe uma enza; umane asebenzise imicabango Yakhe ukuyala, kanye namazwi Akhe ukuyala, futhi ngale ndlela izinto ziyenzeka. Ngalolu suku, uNkulunkulu waqoqela amanzi ndawonye endaweni eyodwa, wenza umhlaba owomile ukuthi uvele, emuva kwalokho wabe esedala ukuthi utshani buhlume emhlabeni, kwase kukhula imifino ethela imbewu, nemithi ethela izithelo, futhi uNkulunkulu wayihlela ngayinye ngohlobo lwayo, futhi wadala ukuthi ngayinye iqukathe imbewu yayo. Konke lokho kwenzeka ngemicabango kaNkulunkulu nemiyalo yamazwi kaNkulunkulu, futhi ngakunye kwavela, okunye emuva kokunye, kulo mhlaba omusha.

Ngenkathi engakawuqali umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu wayenomfanekiso walokho ayefuna ukukwenza engqondweni Yakhe, futhi lapho uNkulunkulu eqala ezenza lezi zinto, okwenzeka ngesikhathi uNkulunkulu evula umlomo Wakhe ukukhuluma ngokuqukethwe yilo mfanekiso, izinguquko ezintweni zonke zaqala ukwenzeka ngenxa yegunya namandla kaNkulunkulu. Ngaphandle kokubheka ukuthi uNkulunkulu wenza kanjani noma walisebenzisa kanjani igunya lakhe, konke kwenzeka isinyathelo ngesinyathelo ngokohlelo lukaNkulunkulu futhi ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi izinguquko ezenzeka isinyathelo ngesinyathelo zenzeka phakathi kwezulu nomhlaba ngenxa yamazwi negunya likaNkulunkulu. Zonke lezi zinguquko nezehlakalo zakhombisa igunya loMdali, nokuba yisimangaliso nobukhulu bamandla empilo yoMdali. Imicabango Yakhe akuyona elula nje, noma umfanekiso ongenalutho, kodwa igunya elinempilo nomdlandla omangalisayo, futhi zingamandla okudala zonke izinto ziguquke, zivuseleleke, zenziwe kabusha, futhi zibhubhe. Futhi ngenxa yalokhu zonke izinto zenzeka ngenxa yemicabango Yakhe, kanti futhi ngaso leso sikhathi, ziyafezeka ngenxa yamazwi omlomo Wakhe …

Ngaphambi kokuba zonke izinto zivele, emicabangweni kaNkulunkulu uhlelo oluphelele lwase lwenziwa kudala, futhi umhlaba omusha kwase kukudala wenziwa. Nakuba ngosuku lwesithathu kwavela zonke izinhlobo zezihlahla emhlabeni, uNkulunkulu wayengenaso isizathu sokumisa izinyathelo zokudala lo mhlaba; Wayehlose ukuqhubeka akhulume amazwi Akhe, ukuqhubeka ukufeza ukudalwa kwayo yonke into entsha. Wayekhuluma, wayekhipha imiyalo Yakhe, futhi asebenzise igunya Lakhe futhi abonakalise amandla Akhe, futhi walungiselela yonke into ayekade ehlele ukuyilungiselela zonke izinto nesintu ayehlose ukusidala …

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 86)

Ngosuku Lwesine, Izinkathi, Izinsuku, Kanye Neminyaka Yesintu Iyavela Lapho UNkulunkulu Esebenzisa Igunya Lakhe Futhi

UMdali wasebenzisa amazwi Akhe ukufeza uhlelo Lwakhe, futhi ngale ndlela wedlulisa izinsuku ezintathu zohlelo Lwakhe. Kulezi zinsuku ezintathu, uNkulunkulu akazange abonakale ezikhandla, noma ezikhathaza; esikhundleni salokho, wachitha izinsuku ezintathu ezinhle kakhulu zohlelo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi omkhulu kakhulu wokuguqulwa komhlaba kakhulu impela. Umhlaba omusha sha wavela ngaphambi kwamehlo Akhe, futhi isiqeshana ngesiqeshana, umfanekiso omuhle owawukade uvaleleke emicabangweni Yakhe wembulwa ekugcineni emazwini kaNkulunkulu. Ukuvela kwento entsha ngayinye kwakungathi ukuzalwa komntwana, futhi uMdali wathokozela umfanekiso owawukade usemicabangweni Yakhe, kodwa owawusuphiwe ukuphila. Ngalesi sikhathi inhliziyo Yakhe yathola ukwaneliseka okukhulu, kodwa uhlelo Lwakhe lwalusanda kuqala nje. Ngokuphazima kweso usuku olusha lwabe selufikile—futhi labe liyini ikhasi elilandelayo ohlelweni loMdali? Wathini? Futhi walisebenzisa kanjani igunya Lakhe? Futhi, ngasoleso sikhathi yiziphi izinto ezintsha ezafika kulo mhlaba omusha? Silandela ukuqondisa koMdali, amehlo ethu awela osukwini lwesine lokudala koMdali izinto zonke, usuku olwabe lungesinye isiqalo esisha. Vele, kuMdali, kwabe ngokungangabazeki kungolunye usuku olumangalisayo, nolunye usuku olubaluleke ngendlela emangalisayo esintwini sanamuhla. Kwabe, phela, kungusuku olunesigqi esingenakulinganiswa nalutho. Lwalumangalisa kanjani, lwalubaluleke kanjani, futhi lwalunokubaluleka okungenakulinganiswa kanjani? Asiqale silalele amazwi akhulunywa nguMdali …

“Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ukwahlukanisa imini kubusuku; futhi azibe yizibonakaliso, zezinkathi zonyaka, zezinsuku, nezeminyaka: Zibe futhi yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni: futhi kwase kuba njalo” (UGenesise 1:14-15). Lokhu kwabe kungokunye ukusebenza kwegunya likaNkulunkulu okwabonakaliswa yizidalwa kulandela ukudala Kwakhe umhlaba owomile nezihlahla kuwona. KuNkulunkulu, isenzo esinjengalesi sasilula ngokufanayo, ngoba uNkulunkulu unamandla amakhulu; uNkulunkulu wethembekile, futhi izwi Lakhe lizofezeka. UNkulunkulu wayala izinkanyiso ukuthi zivele ezulwini, futhi lezi zinkanyiso azikhanyi nje esibhakabhakeni nase mhlabeni kodwa futhi zasebenza njengezimpawu zemini nobusuku, izikhathi zonyaka, izinsuku, kanye neminyaka. Ngale ndlela, lapho uNkulunkulu ekhuluma amazwi Akhe, zonke izenzo uNkulunkulu ayefisa zenzeke, zagcwaliseka ngendlela uNkulunkulu aziqonda ngayo futhi ngendlela uNkulunkulu amise ngayo.

Izinkanyiso ezulwini yizinto esibhakabhakeni ezikhipha ukukhanya; zingasikhanyisa isibhakabhaka, futhi zingakhanyisa izwe nezilwandle. Kuzungeza ngesigqi nokuphindaphinda okuyalwe nguNkulunkulu, kukhanyisa izinkathi ezehlukene ezweni, ngale ndlela ukujikeleza okuphindaphindiwe kokukhanya kudala imini nobusuku ukuthi kuvele empumalanga nasentshonalanga nezwe, futhi akulona uphawu lobusuku nemini kuphela, kodwa ngokujikeleza okuhlukahlukene kubonisa imikhosi kanye nezinsuku ezikhethekile ezehlukahlukene zesintu. Kuhambisana ngokuphelele futhi nezikhathi zonyaka—intwasahlobo, ihlobo, ikwindla, nobusika—okukhishwe nguNkulunkulu, futhi okuthi sekuhlanganiswe nokukhanya kusebenze ngokuvumelana njengeziboniso ezenzeka njalo futhi ezinembayo zezinkathi zenyanga, izinsuku kanye neminyaka yesintu. Nakuba kwaba ngemuva kokuqalwa kokulima lapho isintu saqala ukuqonda nokuhlangabezana nokuhlukana kwezinkathi zenyanga, izinsuku kanye neminyaka okwenziwa ukukhanya okudalwe nguNkulunkulu, empeleni izinkathi zenyanga, izinsuku kanye neminyaka eqondwa ngumuntu namhlanje, kwaqala kudala ukuvela ngosuku lwesine lokudalwa kwezinto zonke nguNkulunkulu, kanti futhi nokujikeleza okudedelanayo kwentwasahlobo, ihlobo, ikwindla, kanye nobusika okwenzeka kumuntu kwaqala kudala ngosuku lwesine lokudalwa kwezinto zonke nguNkulunkulu. Ukukhanya okwadalwa nguNkulunkulu kwenza umuntu akwazi ukuhlukanisa njalo, ngokunemba, nangokucacile phakathi kobusuku nemini, aphinde abale izinsuku, futhi akwazi ukugcina ukulandelana kwezinkathi zenyanga, neminyaka. (Usuku lwenyanga egcwele kwabe kungukuphelela kwenyanga eyodwa, kusuka kulokho umuntu wayazi ukuthi ukukhanyisa kokukhanya kwakungukuqala kokujikeleza okusha; usuku lwenyanga egamenxe kwabe kungukuphelela kwengxenye eyodwa yenyanga, okwakutshela umuntu ukuthi inkathi yenyanga entsha yayiqala, kusukela kulokho kwakungaqondakala ukuthi zabe zizingaki izinsuku nobusuku enkathini yenyanga, nokuthi zazingaki izigaba zenyanga enkathini yonyaka, nokuthi zazingaki izinkathi zonyaka onyakeni, futhi konke kwakubonakaliswa njalo.) Ngakho umuntu wayekwazi ukugcina ukulandelana kwezigaba zenyanga, izinsuku, kanye neminyaka okwakukhonjiswa ukujikajika kokukhanya. Kusukela kuleso sikhathi kuqhubeka, isintu nezinto zonke zaphila ngokungazi phakathi kokudedelana okuhlelekile kobusuku nemini nokushitshana kwezinkathi zonyaka okwakudalwa ukujikajika kokukhanya. Yilokhu ukubaluleka kokudalwa kokukhanya ngosuku lwesine nguMdali. Ngokufanayo, izinhloso nokubaluleka kwalesi senzo soMdali kwakungenakuhlukaniswa negunya namandla Akhe. Ngakho-ke, ukukhanya okudalwe nguMdali, nokubaluleka okwakuzokuletha ngokushesha kumuntu kwakungobunye ubuciko ekusebenziseni igunya loMdali.

Kulo mhlaba omusha, lapho isintu sasingakaveli, uMdali wayeselungise ubusuku nemini, isibhakabhaka, izwe nezilwandle, utshani, imifino kanye nezinhlobonhlobo zemithi, kanye nezinkanyiso, izinkathi, izinsuku neminyaka kwempilo entsha ayezoyidala maduzane. Igunya namandla oMdali avezwa ngento ngayinye entsha ayidalayo futhi amazwi Akhe nokuphumelela kwakhe kwenzeka ngesikhathi esisodwa, ngaphandle ngisho kwephutha elincane futhi nangaphandle ngisho kwesikhawu esincane. Ukuvela nokuzalwa kwazo zonke lezi zinto ezintsha kwakungubufakazi begunya namandla oMdali: wethembekile, futhi izwi Lakhe lizofezeka, kanti futhi lokho okufezekile kuhlala kuze kube phakade. Leli qiniso alikaze liguquke: lalinjalo kudala, lisenjalo namanje, futhi liyobanjalo naphakade. Uma uphinda ubheka la mazwi ombhalo, ezwakala emasha kinina? Nikutholile okuqukethwe yiwo okusha, futhi nathola izinto ezintsha? Yingoba izenzo zoMdali zizinyakazisile izinhliziyo zenu, futhi zaqondisa indlela yokwazi kwenu igunya namandla Akhe, futhi zavula umnyango wokuqonda kwenu uMdali, futhi izenzo negunya Lakhe kunike ukuphila phezu kwala mazwi. Ngakho kula mazwi umuntu usebone ukuvezwa kwegunya lomdali okungokoqobo nokucacile, waphinde wafakazela ubukhulu boMdali, futhi wabona nokumangalisa kwegunya namandla oMdali.

Igunya namandla oMdali adala isimanga emva kwesimanga, futhi udonsa amehlo omuntu, bese umuntu angabinakho angakwenza ngaphandle kokunkema ekhungathekile yizenzo ezikhexisa umlomo eziphuma ekusetshenzisweni kwegunya Lakhe. Amandla Akhe angavamile aletha intokozo emva kwentokozo, bese umuntu esala emangele futhi egcwele intokozo, aphinde akhexe ukumazisa nokumthanda, ashaqeke, futhi ahalalise; okudlula lokho, umuntu uthinteka ngokusobala, futhi kwakheka kuye inhlonipho, ukumhlonipha okukhulu kanye nokuzwana. Igunya nezenzo zoMdali zinomthelela omkhulu kumoya womuntu, futhi ziyawuhlanza umoya womuntu, futhi ngaphezu kwalokho, ziwenelise umoya womuntu. Yonke imicabango Yakhe, wonke amazwi Akhe, kanye nakho konke ukwembulwa kwegunya Lakhe kungubuciko phakathi kwezinto zonke, futhi kungumsebenzi omkhulu okufanele kakhulu ukuqonda nolwazi lwesintu esidaliwe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 87)

Ngosuku Lwesihlanu, Ukuphila Okuyizimo Eziningi Nezahlukehlukene Kuveza Igunya LoMdali Ngezindlela Ezehlukene

UmBhalo uthi, “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kanye nezinyoni ezizondiza phezu komhlaba emkhathini wezulu. UNkulunkulu wase edala imikhomo emikhulu, nazo zonke izilwane eziphilayo ezihambayo, ezavezwa amanzi ngokugcwala kwazo, ngokwezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngohlobo lwazo: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle” (UGenesise. 1:20-21). UmBhalo uyasitshela ngokucacile ukuthi, ngalolu suku, uNkulunkulu wadala izilwane emanzini kanye nezinyoni zasemkhathini, okungukuthi wadala izinhlobonhlobo zezinhlanzi nezinyoni, wazihlela ngezinhlobo zazo. Ngale ndlela, umhlaba, izibhakabhaka, kanye namanzi kwanothiswa ngendalo kaNkulunkulu …

Ngesikhathi amazwi kaNkulunkulu ekhulunywa, ukuphila okusha nokuncwaba, ngakunye kunesakhiwo esihlukile, ngokuphazima kweso, kwavela kuphila phakathi kwamazwi oMdali. Kwaqhamuka emhlabeni kududulana kufuna indawo, kugxuma, kutshakadula yinjabulo…. Izinhlanzi zanhlobo zonke zahlamba emanzini, izikhuphashe zakhula zaphuma ezihlabathini, izilwane ezinamazenga, ezinamagobongo, kanye nezingenamgogodla zakhula ngokuphuthuma zinezakhiwo ezehlukene, noma zinkulu noma zincane, zizinde noma zimfushane. Ngokunjalo izinhlobonhlobo zemithi ekhula emanzini olwandle zaqala ukukhula ngamandla, zintengantenga ihambisana nokunyakaza kwezidalwa ezinhlobonhlobo zasemanzini, ishona phansi ishona phezulu, igqugquzela amanzi ami ndawonye, kungathi zithi, Phaphama! Letha abangane bakho! Ngoba awusoze uphinde ube wedwa! Kusukela ngomzuzu lapho izilwane eziphilayo nezinhlonhlobo zavela emanzini, isidalwa esisha ngasinye saletha umdlandla namandla emanzini ayekade ethule isikhathi eside kakhulu futhi sangenisa inkathi entsha…. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeka, zasondela ndawonye ngokukhosela, zachithisana isizungu, futhi azizange ziqhelelane. Amanzi ayekhona ngenxa yezidalwa ezikuwo, ondla isidalwa ngasinye esihlala kuwo, futhi nesidalwa ngasinye sasiphila ngenxa yamanzi ngoba amanzi ayesondla. Sonke isidalwa sasinika ukuphila kwesinye, ngasinye, futhi ngesikhathi esifanayo, sasifakazela ukumangalisa nobukhulu bendalo yoMdali, kanye namandla angedlulwa yilutho egunya loMdali …

Njengoba ulwandle lwalungasathule, ngokunjalo ukuphila kwaqala kwagcwala izibhakabhaka. Ngayinye ngayinye, izinyoni, ezinkulu nezincance, zandizela phezulu emkhathini zisuka phansi. Kungafani nezidalwa zasolwandle, zazinamaphiko nezimpaphe kumboze imizimba yazo emincanyana nemihle. Zabhakuzisa amaphiko, ngokuziqhenya nokuzidla zikhombisa izimpaphe zazo ezinhle kanye nomsebenzi namakhono azo akhethekile ezazikade ziwanikwe uMdali. Zakhuphuka ngokukhululeka, futhi ngobuciko zishona le nale phakathi kwezulu nomhlaba, zinqamula izimfunda ezinotshani namahlathi…. Zaziyizithandwa zasemoyeni, ziyizithandwa zazo zonke izinto. Ngokushesha zazizokuba ukuxhumana phakathi kwezulu nomhlaba, futhi zidlulise imiyalezo ezintweni zonke…. Zahlabelela, zashona le nale ngentokozo, zaletha ukuhalalisa, uhleko, nempilo kulo mhlaba owawuke wangaba nalutho…. Zasebenzisa ukuhlabelela kwazo okucacile nokumnandi, zasebenzisa amazwi asezinhliziyweni zazo ukudumisa uMdali ngempilo ayezinike yona. Zadansa ngokwenama ukukhombisa ukupheleliswa nokumangalisa kwendalo yoMdali, futhi zazinikele zonke izimpilo zazo ukufakazela igunya lomdali ngempilo ekhethekile ayeziphe yona …

Kungakhathaleki ukuthi zazisemanzini, noma emkhathini, ngomyalo woMdali, le ngxubevange yezinto eziphilayo yabe ikhona ezimisweni ezehlukene zempilo, futhi ngomyalo woMdali, zaqoqana ndawonye ngezinhlobo zazo ezehlukene—futhi lo mthetho, lo mgomo, wawungenakuguqulwa yinoma iziphi izidalwa. Azizange zilokothe zeqe ngaphesheya kwemingcele ezazibekelwe yona nguMdali, kanti futhi zazingakwazi ukukwenza lokho. Njengoba kwakumiswe nguMdali, zaphila zaphinde zanda, futhi zalandela ngokuqikelela umzila wempilo nemithetho ebekelwe zona nguMdali, futhi zagcina ngokuqaphela imiyalo Yakhe kanye nezimemezelo nemiyalo yasezulwini azinika yona, kusukela ngaleso sikhathi kuze kube yinamhlanje. Zaxoxa noMdali ngendlela yazo ekhethekile, futhi zaze zayazisa inhloso yoMdali futhi zayilalela imiyalo Yakhe. Akukho nasinye esake sona igunya loMdali, futhi nobukhosi Bakhe nokuphatha phezu kwazo kwenzeka emicabangweni Yakhe; awekho amazwi akhishwa, kodwa igunya okwakungeloMdali Yena Yedwa lalawula zonke izinto ngokuthula okwakungenaso isidingo sokusebenzisa ulimi, lokhu futhi okwakuhlukile esintwini. Ukusebenzisa igunya Lakhe ngale ndlela ekhethekile kwaphoqa umuntu ukuthi athole ulwazi olusha, futhi enze ukuhumusha okusha ngegunya eliyingqayizivele loMdali. Lapha, kufanele nginitshele ukuthi ngalolu suku olusha, ukusebenza kwegunya loMdali kwaphinde kwakhombisa ukuba yingqayizivele koMdali.

Okulandelayo, asibheke umusho wokugcina walesi siqephu sombhalo: “UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.” Ingabe nicabanga ukuthi lokhu kusho ukuthini? Imizwa kaNkulunkulu iqukethwe phakathi kwala mazwi. UNkulunkulu wabuka zonke izinto ayezidalile zivela futhi zisimama ngenxa yamazwi Akhe, futhi ziqala ukuguquka kancane kancane. Kulesi sikhathi, wayenelisekile uNkulunkulu ngezinto ezinhlobonhlobo ayezenzile ngamazwi Akhe, kanye nezenzo ezehlukahlukene ayephumelele ukuzenza? Impendulo ukuthi “uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.” Nibonani lapha? Kumele ukuthini ukuthi “uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle”? Kuwuphawu lwani? Kusho ukuthi uNkulunkulu waba namandla nobuhlakani bokufeza lokho ayekade ekuhlosile futhi wakumisa, ukufeza izinjongo ayehlele ukuzifeza. Lapho uNkulunkulu eseqedile umsebenzi ngamunye, wezwa ezisola? Impendulo isewukuthi “uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.” Ngamanye amazwi, akukhona nje ukuthi akazange azizwe ezisola, kodwa esikhundleni salokho, wayenelisekile. Kuchaza ukuthini ukuthi, akazange azisole? Kuchaza ukuthi isu likaNkulunkulu liphelele, ukuthi amandla nobuhlakani Bakhe buphelele, nokuthi ukuphelela okungaka kungenzeka ngenxa yegunya Lakhe kuphela. Uma umuntu enza umsebenzi othile, angakwazi, njengoNkulunkulu ukubona ukuthi kuhle? Kungenzeka ukuthi konke okwenziwa umuntu kufeze ukuphelela? Umuntu angayenza into kanye futhi ime phakade? Njengoba umuntu esho, “ayikho into ephelele, ingcono kuphela,” ayikho into umuntu ayenzayo engathola ukuphelela. Kwathi lapho uNkulunkulu ebona ukuthi konke akwenzile nakufezile kwakukuhle, konke okwenziwe uNkulunkulu kwamiswa ngamazwi Akhe, okungukuthi, lapho “uNkulunkulu ebona ukuthi kuhle,” konke lokhu ayekwenzile kwathatha isimo esingenakuguqulwa, kwahlelwa ngokohlobo lwakho, kwanikwa isikhundla, inhloso, nomsebenzi ongaguquki, ngaleso sikhathi kuze kube phakade. Ngaphezu kwalokho, iqhaza lazo phakathi kwezinto zonke, nohambo okwakufanele ziluthathe ngesikhathi sokuphatha kukaNkulunkulu izinto zonke, kwasekumisiwe uNkulunkulu, futhi kungenakuguqulwa. Lona kwakungigunya wasezulwini owanikwa nguMdali kuzo zonke izinto.

“UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle,” la mazwi alula futhi angaziswa ngokwanele, avame ukuzitshwa, ngamazwi omthetho wasezulwini nesimemezelo sasezulwini esinikwe zonke izidalwa nguNkulunkulu. Angokunye ukubonakaliswa kwegunya loMdali, okungokoqobo, futhi okujulile. Ngamazwi Akhe, uMdali akazange kuphela akwazi ukuzuza konke ayezimisele ukukuzuza, nokufeza konke lokho ayezimisele ukukufeza, kodwa wayelawula ezandleni Zakhe konke ayekudalile, futhi abuse zonke izinto ayekade ezenze ngegunya Lakhe, futhi, ukudlula lokho, konke kwakuhlelekile futhi kwenzeka njalo. Zonke izinto zanda, zaphila futhi zashabalala ngezwi Lakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ngokwegunya Lakhe zaphila phakathi kwegunya ayewubekile, futhi akukho okwakungaphethwe yiwo! Lo mthetho waqala ngomzuzu nje “UNkulunkulu ebona ukuthi kuhle,” futhi uzoba khona, uqhubeke, futhi usebenze ngenxa yohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu kuze kube sosukwini lapho uyoqedwa khona nguMdali! Igunya eliyingqayizivele loMdali alibonakalanga kuphela ekhonweni Lakhe lokudala zonke izinto nokuyala zonke izinto kuthi zibe khona, kodwa futhi ekwazini Kwakhe ukubusa nokuphatha ubukhosi phezu kwazo zonke izinto, nokunika ukuphila nempilo kuzo zonke izinto futhi, ngaphezu kwalokho, ekwazini Kwakhe ukwenza, kanye naphakade, zonke izinto ayezozidala ohlelweni Lwakhe ukuthi zivele futhi zibe khona emhlabeni owenziwe nguye ngesakhiwo esiphelele, nesimo sokuphila esiphelele, kanye nendima ephelele. Ngakho-ke futhi kwabonakaliswa ngendlela yokuthi imicabango yoMdali yayingancikile kunoma yiziphi izingqinamba, yayingavinjelwa isikhathi, isikhala, noma indawo. Njengegunya Lakhe, ubunjalo boMdali buyohlala bungaguquki naphakade. Igunya Lakhe liyohlala limele futhi liwuphawu lobunjalo obuyingqayizivele, futhi igunya Lakhe liyohlala likhona eceleni kobunjalo Bakhe unomphelo!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 88)

Ngosuku Lwesithupha, UMdali Uyakhuluma Futhi Uhlobo Ngalunye Lwezidalwa Eziphilayo Engqondweni Yakhe Luyavela, Olunye Emva Kolunye

Ngokungabonakali, umsebenzi woMdali wokwenza zonke izinto wawukade uqhubeka izinsuku eziyisihlanu, okwathi ngokushesha emuva kwazo, uMdali wemukela usuku lwesithupha lokudala zonke izinto. Lolu suku lwabe lungesinye isiqalo esisha, nolunye usuku olumangalisayo. Labe liyini-ke icebo lomdali ngalobu busuku obandulela usuku olusha? Ingabe yiziphi izidalwa ezintsha ayezozidala, wabe ezodala? Lalela, lelo yiphimbo loMdali …

“Futhi uNkulunkulu wathi, Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngokwezinhlobo zazo, izinkomo, nokunwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngokwezinhlobo zazo: futhi kwaba njalo. Futhi uNkulunkulu wenza izilo zomhlaba ngokwezinhlobo zazo. nezinkomo ngokwezinhlobo zazo, nakho konke okunwabuzelayo emhlabeni ngokwezinhlobo zazo: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle” (uGenesise 1:24-25). Lokhu, kufaka ziphi izidalwa eziphilayo? ImiBhalo ithi: izinkomo, kanye nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo. Okungukuthi, ngalolu suku kwakungeve kukhona zonke izinhlobo zezidalwa eziphilayo phezu komhlaba, kodwa zonke zazihlelwe ngohlobo, ngokunjalo, futhi, “uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.”

Njengasezinsukwini ezinhlanu ezedlule, ngephimbo elifanayo, ngosuku lwesithupha uMdali wayaleza ukuzalwa kwezidalwa eziphilayo ayezifisa, nokuthi zivele emhlabeni, ngasinye ngohlobo lwaso. Uma uMdali esebenzisa igunya Lakhe awekho amazwi awakhulumela ize, ngakho-ke, ngosuku lwesithupha, isidalwa esiphilayo ngasinye ayehlose ukusidala savela ngesikhathi esifanele. Njengoba uMdali wathi “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngokwezinhlobo zazo,” ngokuphazima kweso, umhlaba wagcwala ukuphila, futhi phezu komhlaba kwavela masishane umphefumulo wezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo…. Ehlane elinotshani obuluhlaza, izinkomo ezikhuluphele, zitshikizisa imisila ngapha nangapha, zavela ngokulandelana, izimvu ezikhalayo zaqoqana zaba imihlambi, namahhashi ayiyizelayo aqala ukugabavula…. Ngokuphazima kweso, odedangendlale bezimfunda ezinotshani baqhuma bachichima ngokuphilayo…. Ukuvela kwale mfuyo enhlobonhlobo kwakubukeka kahle ezindaweni zotshani ezinokuthula, futhi kwaletha impilo engenamkhawulo…. Zaziyoba abangane bezindawo ezinotshani, nobabusi bezindawo ezinotshani, enye incike ngokusizana nenye; ngakho futhi zaziyoba abaqaphi nabagcini balezi zindawo, okwakuzoba indawo yazo yokuhlala unomphela, futhi eyayizozihlinzeka ngakho konke ezikudingayo, umthombo wokondleka kwaphakade kokuphila kwazo …

Ngalolo suku okwavela ngalo lezi nhlobonhlobo zemfuyo, ngezwi loMdali, inqwaba yezinambuzane yavela nayo, esinye emva kwesinye. Nakuba zabe ziyizidalwa eziphilayo ezincane kunazo zonke izidalwa, amandla azo okuphila ayeselokhu eyindalo emangalisayo yoMdali, futhi aziphuzanga kakhulu ukufika. Ezinye zabhakuzisa amaphiko azo amancanyana, kwathi ezinye zakhasa kancane; ezinye zagcogcoma zagxuma, ezinye zazidiyazela; ezinye zathutheleka ziya phambili, kwathi ezinye zashesha ukuhlehlela emuva; ezinye zakekela, ezinye zagxumagxuma ziya phansi naphezulu…. Zonke zaziphansi phezulu zizama ukuthola amakhaya azo: Ezinye zadudula zayongena otshanini, ezinye zaqala ukumba imigodi emhlabathini, ezinye zandizela phezulu emithini, zacasha emahlathini…. Nakuba zazizincane, zazingazimisele ukumela ukuhlushwa indlala futhi emuva kokuthola amakhaya azo, zaphuthuma ukuyofuna ukudla ukuze zidle. Ezinye zakhwela otshanini ukudla imicu yabo ethambile, ezinye zafuqela imithamo yomhlabathi zayifaka eziswini zazo, zidla ngomkhulu umfutho nentokozo (kuzona, ngisho umhlabathi uyisibiliboco esihlwabusile); ezinye zazicashe emahlathini, kodwa azizange zime ukuze ziphumule, njengoba okusamanzi phakathi kwamaqabunga asulekile aluhlaza ngokufiphele, azinika isidlo esimnandi…. Emuva kokuthi sezisuthi, izinambuzane azizange ziyeke ezazikwenza; nakuba zazizincane ngomzimba, zazinomdlandla omangalisayo nokugxumagxuma okungenamkhawu, ngakho ezidalweni zonke, zikhwishiza kunazo zonke, futhi zikhuthele kunazo zonke. Azizange zivilaphe, futhi azizange zizitike ngokuphumula. Lapho sezisuthi, zaziqhubeka zisebenze imisebenzi yazo ngenxa yekusasa lazo, zimatasatasa ziphuthuma lapha nalaphaya ngenxa yekusasa lazo, ukuze ziphile…. Zazivungazela kancane amaculo aneminkenenezo nezigqi ezehlukene ukuzigqugquzela nokuzikhuthaza ukuthi ziqhubeke. Zengeza intokozo otshanini, emithini, kanye nomhlabathi uwonke, zenza usuku ngalunye, unyaka ngamunye, ube yingqayizivele… Ngezilimi zazo futhi ngezindlela zazo, zadlulisa imibiko kuzo zonke izinto eziphilayo emhlabeni. Futhi zisebenzisa amandla okuphila kwazo, zabeka izimpawu kuzona zonke izinto, lapho zazishiya imisizilo khona… Zabe zazana kakhulu nomhlabathi, notshani, kanye namahlathi, futhi zaletha umdlandla nempilo emhlabathini, otshanini, emahlathini, zaphinde zaletha imiyalo nezilokotho zoMdali ezintweni zonke eziphilayo …

Ihlo loMdali labuka zonke izinto ayezidalile, futhi kulo mzuzu, amehlo Akhe ama kancane emahlathini nezintaba, umqondo Wakhe uphenduka. Lapho amazwi Akhe ekhishwa, emahlathini acinene, nasezintabeni, kwavela uhlobo lwesidalwa esasingafani nezake zavela ngaphambili: Kwakuyizilwane zasendle ezazishiwo ngumlomo kaNkulunkulu. Nakuba zaziphuzile kakhulu ukufika, zanikina amakhanda azo, zatshikizisa imisila yazo, ngasinye sinobuso baso obuhlukile. Ezinye zazinesikhumba esinoboya, ezinye kungathi zinezembatho zempi, ezinye zaziveza amazinyo azo acijile, ezinye kwakungathi ziyamamatheka, ezinye zazinemiqala emide, ezinye zazinemisila emifushane, ezinye zazinolaka zingenakwesaba, ezinye zazibuka sengathi ziyesaba, ezinye zazigoba ukuze zidle utshani, ezinye zigcwele igazi ngasemilonyeni, ezinye zigxumagxuma ngemilenze emibili, ezinye zihambahamba ngezinselo ezine, ezinye zibuka le kude ngaphezu kwemithi, ezinye zazilinda emahlathini ukuze zihlasele ngokuzumisa, ezinye zazifuna imihume ukuze ziphumule, ezinye zazigijima zitshakadula emathafeni, ezinye zizingela emahlathini…; ezinye zazizimbi, ezinye zihlaba umkhulungwane, ezinye zikhonkotha, ezinye zikhala…: ezinye zazisho ngephimbo lokuqala, ezinye zibhodla, ezinye zinamaphimbo ahhadlazelayo, ezinye zanamaphimbo acacile amnandi…; ezinye zabe zibukeka kabi, ezinye zizinhle, ezinye zazinyanyisa, ezinye zithandeka, ezinye zazisabisa, ezinye zikhohliseka ngendlela ethandekayo…. Zilandelana zeza ngaphambili. Ziboneni zihefuzela, zikhululekile, zingenandaba nakancane nezinye, zingabukani ngisho nangeso …. Leso naleso sinempilo ethile uMdali ayesinike yona, nobudlwembe bazo, nobubheva, zavela emahlathini nasezintabeni. Zazidelela uwonke wonke, ziqholosha ngokuphelele—ubani owazenza ababusi bangempela basezintabeni nasemahlathini? Kusukela ngesikhathi ukuvela kwazo kumiswa uMdali, “zathatha ngokubanga” amahlathi, futhi “zathatha ngokubanga” izintaba, ngoba uMdali wayeseyibekile wayivala imingcele futhi wanquma umkhawulo wokuphila kwazo. Yizo zodwa ezabe zingamakhosi angempela ezintaba namahlathi, futhi yingakho zazinobudlwembe kangaka, zidelela kakhulu. Zabizwa ngokuthi “izilwane zasendle” ngenxa nje yokuthi, ezilwaneni zonke, kwakuyizona ezazinobudlwembe, ziyizibheva futhi zingathambiseki. Wawungeke uzifuye, ngakho wawungeke uzigcine, uzikhulise, zazingenakuphila ngokuzwana nesintu noma zisebenzele isintu. Kwakungenxa yokuthi wawungeke uzigcine, zazingeke zisisebenzele isintu, ingakho kwadingeka ukuthi ziphile ngokuqhelelana nesintu, futhi umuntu wayengeke aze asondele kuzo. Futhi kungoba zaziphila kude ngokuqhelelana nesintu, futhi umuntu engenakusondela kuzo, okwenza zakwazi ukufeza umsebenzi ezaziwunikwe uMdali: ukuqapha izintaba namahlathi. Ubudlwembe bazo bavikela izintaba namahlathi, futhi kwakungukuvikeleka nesiqinisekiso esihle kakhulu sokuphila nokwanda kwazo. Ngesikhathi esifanayo, ubudlwembe bazo kwagcina futhi baqinisekisa ibhalansi phakathi kwezinto zonke. Ukufika kwazo kwaletha usizo nokusimama ezintabeni namahlathi; ukufika kwazo kwafaka umdlandla nempilo engenamkhawu ezintabeni namahlathi athule futhi angenalutho. Kusukela kulesi sikhathi kuqhubeka, izintaba namahlathi aba indawo yazo yokuhlala unomphela, futhi zazingasoze zize zilahlekelwe amakhaya azo, ngoba izintaba namahlathi avela futhi abakhona ngenxa yazo, nezilwane zasendle zazizokwenza umsebenzi wazo, ziphinde zenze konke ezazingakwenza ukuwalondoloza. Ngokunjalo, izilwane zasendle zazizogcina ngokuqikelela imiyalo yoMdali ukuthi zibambelele zigcine indawo yazo, futhi ziqhubeke zisebenzise le mvelo yazo yobulwane ukugcina ukulingana phakathi kwazo zonke izinto ezibekwe nguMdali, nokukhombisa igunya namandla oMdali!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 89)

Ngaphansi Kwegunya LoMdali, Zonke Izinto Ziphelele

Zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu, kuhlanganiswe lezo ezazikwazi ukunyakaza nalezo ezazingakwazi ukunyakaza, njengezinyoni nezinhlanzi, njengemithi nezimbali, futhi kuhlanganiswe nemfuyo, izinambuzane, kanye nezilwane zasendle ezenziwa ngosuku lwesithupha—zonke zazizinhle kuNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, emehlweni kaNkulunkulu, zonke lezi zinto, ngokuhambisana nohlelo Lwakhe, zazifinyelele esicholweni sokupheleliswa, futhi zazifinyelele emazingeni uNkulunkulu ayefisa ukuwafeza. Isinyathelo ngesinyathelo, uMdali wenza umsebenzi ayehlose ukuwenza ngokuhambisana nohlelo Lwakhe. Ngokulandelana, izinto ayehlose ukuzidala zavela, kanti ukuvela kwazo ngayinye, kwakukhombisa igunya loMdali, nokucaca kwegunya Lakhe, futhi ngenxa yalokucaciseka, zonke izilwane zazingenakwenza lutho ngaphandle kokubonga umusa woMdali, nokuhlinzeka koMdali. Njengoba izenzo ezimangalisayo zikaNkulunkulu zazibonakaliswa, lo mhlaba wakhukhumala, kancane kancane, ngazo zonke izinto uNkulunkulu ayezidalile, futhi waguquka ekubeni isiphithiphithi nobumnyama waba nokucaca nokukhanya, wasuka ekubeni nokuthula okuthe cwaka, waba nokuphila okukhwishizayo nempilo engenamkhawulo. Phakathi kwazo zonke izinto zendalo, kusukela kwezinkulu kuya kwezincane, kusukela kwezincane kuya kwezincinyane, akukho okungadalwanga ngegunya namandla oMdali, futhi kwakunesidingo nokubaluleka okuyingqayizivele futhi okusemvelweni yaso, ukubakhona kwesilwane ngasinye. Ngale komehluko ngokubunjwa nesakhiwo sazo, zazifanele ukuba zazenziwe uMdali ukuze zibekhona ngaphansi kwegunya loMdali. Ngesinye isikhathi abantu babona isinambuzane, esibukeka kabi kakhulu, bese bethi, “Lesi sinambuzane sibi kakhulu, ngendlela yokuthi, ayikho indlela yokuthi into embi kanje yayingadalwa nguNkulunkulu—ayikho indlela yokuthi wayengadala into embi kangaka.” Waze wanobuphukuphuku lowo mbono! Okufanele bakusho ukuthi, “Nakuba lesi sinambuzane sisibi kangaka, senziwa nguNkulunkulu, ngakho kufanele ukuthi sinenhloso yaso ehlukile.” Emicabangweni kaNkulunkulu, wayehlose ukunika ukubukela ngakunye, nemsebenzi eyehlukehlukene, ezilwaneni eziphilayo ezinhlobonhlobo azidalile. Ngakho ayikho into uNkulunkulu ayidala, ayenza ngobumba olufanayo. Kusukela ekubukekeni kwangaphandle kuya ekubunjweni ngaphakathi, kusuka emikhubeni yaso yokuphila kuya endaweni lapho sihlala khona—isilwane ngasinye sihlukile. Izinkomo zibukeka njengezinkomo, izimbongolo zibukeka njengezimbongolo, izinyamazane zibukeka njengezinyamazane, nezindlovu zibukeka njengezindlovu. Ungasho ukuthi isiphi esihle kunazo zonke, nesimbi kunazo zonke? Ningasho ukuthi isiphi esiwusizo kakhulu, nokuthi iyiphi ingqikithi yaso engenasidingo kakhulu? Abanye abantu bayayithanda indlela izindlovu ezibukeka ngayo, kodwa akekho osebenzisa izindlovu ukulima amasimu; abanye abantu bayayithanda indlela amabhubesi nezingwe ezibukeka ngayo, ngoba ukubukeka kwazo, kuhlaba umxhwele kunazo zonke izinto, kodwa ungakwazi ukuzigcina njengezilwane ezifuyiwe ezithandwayo? Ngamafushane, mayelana nezinto zonke, umuntu kufanele athobele igunya woMdali, okungukuthi, athobele uhlelo olubekwe nguMdali ezintweni zonke; lesi isimo sengqondo esihlakaniphe kunazo zonke. Isimo sengqondo sokufuna, nokulalela izinhloso zasekuqaleni zoMdali, singukwemukela ngeqiniso nokuqiniseka igunya loMdali. Kuhle kuNkulunkulu, ngakho isiphi isizathu umuntu anaso sokuthi asole?

Ngakho, zonke izinto ezingaphansi kwegunya loMdali zizodlala umculo omnandi nomusha ngenxa yobukhosi boMdali, zizoqala isandulelo esimangalisayo ngenxa yomsebenzi Wakhe wosuku olusha, kanti kulo mzuzu uMdali Naye uzovula ikhasi elisha emsebenzini Wakhe wokuphatha! Ngokwegunya wamahlumela asentwasahlobo, ukuvuthwa kwasehlobo, isivuno sasekwindla kanye nokukhweza izinto kwasebusika okumiswe nguMdali, zonke izinto zizozwakala ngohlelo lomdali lokuphatha, futhi zizokwemukela usuku lwazo olusha, isiqalo esisha, nomzila wempilo omusha, futhi maduzane nje zizozala ngokulandelana unomphela ukuze zemukele usuku ngalunye ngaphansi kobukhosi begunya lomdali …

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 90)

Akukho Kokudaliwe Nokungadalwanga Okungathatha Indawo Yobunjalo BoMdali

Kusukela lapho eqala ukudala izinto zonke, amandla kaNkulunkulu aqala ukuvezwa, futhi aqala ukwembulwa, ngoba uNkulunkulu wasebenzisa amazwi ukudala zonke izinto. Kungakhathaleki ukuthi iyiphi indlela azidala ngayo, kungakhathaleki ukuthi kungani azidala, zonke izinto zavela, zaphinde zasimama futhi zaba khona ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi lokhu yigunya eliyingqayizivele lomdali. Ngesikhathi isintu singakaveli emhlabeni, uMdali wasebenzisa amandla negunya Lakhe ukudala zonke izinto, ezidalela isintu, futhi wasebenzisa izindlela zakhe eziyingqayizivele ukulungisela isintu indawo yokuhlala efanelekile. Konke akwenza kwabe kuwukulungisela isintu, esase sizothola umphefumulo Wakhe. Okungukuthi, ngesikhathi esingaphambili kokudalwa kwesintu, igunya likaNkulunkulu lakhonjiswa ezilwaneni zonke ezihlukile esintwini, ezintweni ezinkulu njengamazulu, izinkanyiso, izilwandle, kanye nomhlaba, nakulezo ezincane njengezilwane nezinyoni, kanye nakuzona zonke izinhlobo zezinambuzane nezilwanyane, okubandakanya namagciwane anhlobonhlobo angabonakali ngeso lenyama. Isilwane ngasinye sanikezwa ukuphila ngamazwi oMdali, zaphinde zasabalala ngasinye ngenxa yamazwi oMdali. Futhi ngasinye saphila ngaphansi kobukhosi boMdali ngenxa yamazwi oMdali. Noma zingawutholanga umphefumulo woMdali, zakhombisa ukuphila kanye nempilo ezakunikwa uMdali ngezinhlobo ezihlukene zokuma nezakhiwo zazo; noma zingalitholanga ikhono lokukhuluma elaphiwa isintu nguMdali, ngasinye zanikwa indlela yokukhombisa ukuphila kwazo ezayinikwa nguMdali, futhi eyabe ihlukile olimini lomuntu. Igunya loMdali aliniki nje kuphela amandla okuphila izinto eziphathekayo ezibonakala sengathi azinyakazi, ukuze zingaphinde zinyamalale, kodwa, ngaphezu kwalokho, linika umuzwa wokuzalana nokwanda kuzo zonke izilwane eziphilayo, ukuze zize zinganyamalali, futhi nokuthi, isizukulwane emuva kwesizukulwane, sidlulise imithetho nemigomo yokuphila esiyiphiwe uMdali. Indlela uMdali asebenzisa ngayo igunya Lakhe ayibambelele ngokuqina, embonweni ophathelene nobukhulu noma nobuncane, futhi ayiphoqelekile ukuba ibe noma yisiphi isimo. Uyakwazi ukulawula ukusebenza komhlaba jikelele, futhi aphathe ubukhosi phezu kokuphila nokufa kwezinto zonke, futhi ngaphezu kwalokho, uyakwazi ukuguqula zonke izinto ukuthi zisebenzele Yena. Uyakwazi ukuphatha konke ukusebenza kwezintaba, imifula, kanye namachibi, futhi abuse zonke izinto ezingaphakathi kuwo. Ngaphezu kwalokho, Uyakwazi ukuhlinzeka lokho okudingwa izinto zonke. Lokhu ukubonakaliswa kwegunya eliyingqayizivele lomdali phakathi kwezinto zonke ngaphandle kwesintu. Ukubonakaliswa okungaka akusikhona nje okwesikhathi sonke sempilo, kodwa akusoze kwanqamuka, noma kuphumule, futhi akunakuguqulwa noma koniwe ngumuntu noma into noma kwengezwe noma kuncishiswe inoma ngumuphi umuntu noma into—ngoba akekho okungathatha indawo yobunjalo boMdali, ngakho-ke igunya loMdali ngeke lithathelwe isikhundla yinoma yisiphi isidalwa esiphilayo, futhi ngeke litholwe inoma isiphi isidalwa esingadalwanga. Thatha izithunywa zikaNkulunkulu nezingelosi njengesibonelo. Azinawo amandla kaNkulunkulu, kungasaphathwa igunya loMdali, futhi isizathu sokuthi kungani zingenawo amandla negunya likaNkulunkulu, ukuthi azinayo ingqikithi yoMdali. Izinto ezingadalwanga, njengezithunywa zikaNkulunkulu nezingelosi, noma zikwazi ukwenza izinto ezithile zenzela uNkulunkulu, azikwazi ukumela uNkulunkulu. Noma zinawo amandla athile, umuntu angenawo, azinalo igunya likaNkulunkulu, azinalo igunya likaNkulunkulu ukudala zonke izinto, nokuyala zonke izinto, nokuphatha ubukhosi phezu kwezinto zonke. Futhi ubungqayizivele bukaNkulunkulu abunakuthathelwa indawo yinoma isiphi isidalwa esingadalwanga, futhi ngokufanayo, igunya namandla kaNkulunkulu ngeke kuthathelwe indawo yinoma yisiphi isidalwa esidaliwe. EBhayibhelini, uke wafunda nganoma isiphi isithunywa sikaNkulunkulu esidala zonke izinto? Futhi kungani uNkulunkulu engazange athume noma isiphi sezithunywa noma izingelosi Zakhe ukuthi sidale zonke izinto? Yingoba bezingenalo igunya likaNkulunkulu, ngakho bezingenalo ikhono lokusebenzisa igunya likaNkulunkulu. Njengezidalwa zonke, zonke zingaphansi kobukhosi boMdali, futhi ngaphansi kwegunya lomdali, ngakho ngendlela efanayo, uMdali nguNkulunkulu wazo, futhi unguMbusi wazo. Phakathi kwazo zonke—noma eziphakeme noma ezisezingeni eliphansi, ezinamandla amakhulu noma amancane—akukho neyodwa engadlula igunya loMdali, ngakho, phakathi kwazo, akukho nesisodwa esingathatha ubunjalo boMdali. Azisoze zabizwa ngokuthi uNkulunkulu, futhi azisoze zakwazi ukuba nguMdali. Lawa amaqiniso namaphuzu angeguqulwe!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 91)

UNkulunkulu Usebenzisa Amazwi Akhe Ukumisa Isivumelwano Nomuntu

UGenesise 9:11-13  Futhi ngizomisa isivumelwano Sami nawe, ayisekho inyama eyophinda ibhujiswe ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukubhubhisa umhlaba. Futhi uNkulunkulu wathi, Lokhu kuwuphawu lwesivumelwano engisenza phakathi Kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani, izizukulwane ngezizukulwane zaphakade: Ngiyamisa uthingo Lwami emafwini, futhi luyakuba uphawu lwesivumelwano phakathi Kwami nomhlaba.

Emuva Kokudala Zonke Izinto, Igunya LoMdali Liyafakazelwa Liphinde Libonakaliswe Futhi Ngesivumelwano Sothingo

Igunya loMdali lihlale libonakaliswa futhi lisebenza phakathi kwazo zonke izidalwa, futhi akabusi nje isimiselo sezinto zonke, kodwa futhi ubusa isintu, isidalwa esikhethekile asidala ngezandla Zakhe uqobo, futhi esinesakhiwo sokuphila esihlukile futhi esiphila ngohlobo lokuphila oluhlukile. Emuva kokwenza zonke izinto, uMdali akazange ayeke ukuveza igunya namandla Akhe; Kuye, igunya ayephethe ngalo ubukhosi phezu kwezinto zonke nesimiselo sesintu sisonke, laqala ngokusemthethweni kuphela lapho isintu sasesizelwe ngokwempela esandleni Sakhe. Wayehlose ukuphatha isintu, futhi alawule isintu, wayehlose ukusindisa isintu, wayehlose ukusizuza ngokweqiniso isintu, ukuzuza isintu esasingaphatha zonke izinto, futhi wayehlose ukuthi isintu esinjalo siphile phansi kwegunya Lakhe, futhi sazi igunya Lakhe, futhi silalele igunya Lakhe. Ngakho, uNkulunkulu waqala waveza igunya Lakhe ngokusemthethweni, phakathi kwabantu, esebenzisa amazwi Akhe, futhi waqala ukusebenzisa igunya Lakhe ukufeza amazwi Akhe. Impela, igunya likaNkulunkulu lakhonjiswa ezindaweni zonke ngalesi sikhathi sale nqubo; Ngikhethe nje izibonelo ezithile, ezaziwa kakhulu, eningakwazi ukuqonda ngazo futhi nazi ubungqayizivele bukaNkulunkulu, futhi niqonde ngegunya eliyingqayizivele likaNkulunkulu.

Kunokufana phakathi kwesiqephu esikuGenesise 9:11-13 kanye neziqephu ezingaphezulu eziphathelene nokuqoshwa kokudalwa komhlaba nguMdali, kodwa futhi kunomahluko. Yini efanayo? Ukufana kulele ekusebenziseni kukaNkulunkulu amazwi ukwenza lokho ayehlose ukukwenza, futhi umehluko ukuthi lesi siqephu iyingxoxo phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, lapho amisa khona isivumelwano nomuntu, futhi watshela umuntu lokho okwakutholakala kulesi sivumelwano. Lokhu kusetshenziswa kwegunya likaNkulunkulu kwafezwa ngesikhathi exoxa nomuntu, okungukuthi, ngaphambili kokudalwa kwesintu, amazwi kaNkulunkulu ayeyimiyalelo nokuthuma ngemilayezo, ayayikhishelwe izidalwa lezo ayehlose ukuzidala. Kodwa manje kwase kukhona umuntu ozozwa amazwi kaNkulunkulu, ngakho amazwi Akhe ayeyikho kokubili, ayeyingxoxo nomuntu kanye futhi nemiyalo nezexwayiso kumuntu, futhi ngaphezu kwalokho, aye yimiyalelo elethwe kozo zonke izinto eziphethwe yigunya Lakhe.

Isiphi isenzo sikaNkulunkulu esibhalwe kulesi siqephu? Kubhalwe ngesivumelwano uNkulunkulu asimisa nomuntu emuva kokubhubhisa Kwakhe umhlaba ngozamcolo, sitshela umuntu ukuthi uNkulunkulu wayengeke aphinde adale imbubhiso enjalo phezu komhlaba, nokuthi, ukuze afeze lokho, uNkulunkulu wadala uphawu—ingabe lwabe luyini uphawu? EmiBhalweni kuthiwa “Ngiyamisa uthingo Lwami emafwini, futhi luyakuba uphawu lwesivumelwano phakathi Kwami nomhlaba.” Lawa amazwi asekuqaleni akhulunywa uMdali esintwini. Lapho esho la mazwi, uthingo lwavela phambi kwamehlo omuntu, lapho olulokhu lukhona kuze kube namhlanje. Wonke umuntu wake walubona uthingo olunjalo, futhi uma ulubona, uyazi ukuthi luvela kanjani? Isayensi ayikwazi ukukufakazela lokhu, noma ukuthola isisusa salo noma ukubona ukuthi lukuphi. Ingenxa yokuthi uthingo uphawu lwesivumelwano phakathi koMdali nomuntu; aludingi isisekelo sesayensi, alwenziwanga umuntu, futhi umuntu angeke akwazi ukuluguqula. Lokhu kungukuqhubeka kwegunya loMdali emuva kokuthi esekhulumile amazwi Akhe. UMdali wasebenzisa indlela Yakhe ekhethekile ukugcina isivumelwano Sakhe nomuntu nesithembiso Sakhe, ngakho ukusebenzisa Kwakhe uthingo njengophawu lwesivumelwano ayesimisile, kuyisimemezelo nomthetho wasezulwini oyohlala phakade ungaguquki, noma kumayelana noMdali noma isintu esidaliwe. Kepha, lo mthetho ongenakuguqulwa, kufanele kushiwo ukuthi ungokunye ukubonakaliswa kwangempela kwegunya loMdali, kulandela ukudala Kwakhe zonke izinto, kufanele kushiwo ukuthi, igunya namandla oMdali akunamkhawulo; Ukusebenzisa Kwakhe uthingo njengophawu ngukuqhubeka nokwelulwa kwegunya loMdali. Lokhu kwakungesinye isenzo esenziwa nguNkulunkulu esebenzisa amazwi Akhe, futhi kwabe kuwuphawu lwesivumelwano uNkulunkulu ayelumisile nomuntu esebenzisa amazwi. Watshela umuntu ngalokhu ayehlele ukukwenza, nangendlela okwakuzogcwaliseka ngayo futhi kufezeke, futhi ngaleyo ndlela udaba lwagcwaliseka njengokwamazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela onamandla angaka, futhi namhlanje, iminyaka eyizinkulungwane eziningi emuva kokuthi ewakhulumile lawa mazwi, umuntu usakwazi ukubuka uthingo olwakhulunywa ngumlomo kaNkulunkulu. Ngenxa yalawo mazwi ashiwo nguNkulunkulu, le nto ilokhu imile ingaguquliwe futhi ingaguqukile. Akekho ongalususa uthingo, akekho ongaguqula imithetho yalo, futhi lukhona ngenxa yamazwi kaNkulunkulu kuphela. Lokhu kuyilo impela igunya likaNkulunkulu. “UNkulunkulu wethembekile, futhi izwi Lakhe lizofezeka, futhi loko okufezekile kuhlala kuze kube phakade.” Lawa mazwi abonakalisiwe lapha ngokusobala, futhi kuwuphawu nesici esicacile segunya namandla kaNkulunkulu. Uphawu noma isici esinje asitholakali noma asibonakali kunoma isiphi isidalwa, hhayi futhi ukuthi siyabonakala kunoma yikuphi okungadalwanga. Sitholakala kuphela kuNkulunkulu oyingqayizivele futhi sihlukanisa ubunjalo nengqikithi yoMdali kuleyo yezidalwa. Ngesikhathi esifanayo, kuwuphawu nesici esisho ukuthi, ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, ngeke kwedlulwa yinoma yikuphi okudaliwe noma okungadalwanga.

Ukumisa kukaNkulunkulu isivumelwano Sakhe nomuntu kwakuyisenzo esibaluleke kakhulu, futhi wayehlose ukusisebenzisa ukukhombisa iqiniso kumuntu nokutshela umuntu intando Yakhe, futhi ukwenza lokho, wasebenzisa indlela eyingqayizivele, wasebenzisa uphawu olukhethekile ukumisa isivumelwano nomuntu, uphawu olwabe luyisethembiso sesivumelwano ayekade esimise nomuntu. Ngakho-ke ukumiswa kwalesi sivumelwano kwabe kuwumcimbi omkhulu? Futhi wabe umkhulu kangakanani? Yilokhu kanye okukhethekile kakhulu ngesivumelwano: akusona isivumelwano esimiswe phakathi komuntu nomunye, noma iqembu kanye nelinye, noma izwe kanye nelinye, kodwa isivumelwano esimiswe phakathi koMdali nesintu sisonke, futhi sizohlala sisebenza kuze kufike usuku lapho uMdali eyoqeda zonke izinto. Ongamele lesi sivumelwano nguMdali, nozosigcina uMdali. Kafushane, ukuphelela kwesivumelwano sothingo, esamiswa nesintu sagcwaliseka futhi safezeka ngengxoxo phakathi koMdali nesintu futhi sisalokhu simile kuze kube namuhla. Yini enye izidalwa ezingayenza ngaphandle kokuthobela, nokulalela, nokukholwa, kanye nokufakazela kanye nokudumisa igunya loMdali? Ngoba akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu oyingqayizivele onamandla okumisa isivumelwano esinjengalesi. Ukuvela kothingo, njalo njalo, kuyamemezela esintwini futhi kuyasibiza ukuthi siqaphele isivumelwano phakathi koMdali nesintu. Ukuvela njalo kwesivumelwano phakathi koMdali nesintu, okukhonjiswa esintwini akulona nje uthingo noma isivumelwano uqobo lwaso kodwa igunya elingaguquki loMdali. Ukuvela kothingo, njalo njalo kukhombisa izenzo ezinkulu nezimangalisayo ezenziwa uMdali ezindaweni ezifihlakele, kanti ngaleso sikhathi, isinika isithombe esisemqoka, segunya loMdali elingasoze lanyamalala futhi elingasoze laguquka. Akukhona lokhu okunye ukubonakaliswa kwenye ingxenye yegunya loMdali eliyingqayizivele?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 92)

Izibusiso zikaNkulunkulu

UGenesise 17:4-6  Ngokwami, bheka, isivumelwano Sami sikuwe, futhi uyakuba ngubaba wezizwe eziningi. Igama lakho akusayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizoba ngu-Abrahama; ngokuba ngikwenze ubaba wezizwe eziningi. Futhi Ngiyokwandisa impela inzalo yakho, ngiyakwenza futhi izizwe ngawe, namakhosi ayovele kuwe.

UGenesise 18:18-19  U-Abrahama uzoba ngempela isizwe esikhulu, esinamandla, futhi zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa ngaye. Ngokuba ngiyamazi, uzoyala abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe, futhi bayakugcina indlela kaJehova, ukwenza ukulunga nokwahlulela; ukuze uJehova enzele u-Abrahama lokho akushilo ngaye.

UGenesise 22:16-18  Ngizifungile Mina uqobo, kusho uJehova, ngenxa yokuthi ukwenzile lokhu, futhi ungayigodlanga indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo: Ngiyakukubusisa nokukubusisa, futhi ngandise nokwandisa inzalo yakho ibe njengezinkanyezi zezulu, nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle; futhi inzalo yakho iyothatha isango lezitha zayo; Futhi ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba zizobusiswa, ngokuba ulilalele izwi Lami.

UJobe 42:12 Ngakho uJehova wabusisa isiphetho sikaJobe kunesiqalo sakhe: ngokuba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhagqa ayizinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.

Indlela Nomumo Oyingqayizivele Wamazwi OMdali Kuwuphawu Lobunjalo kanye Negunya Eliyingqayizivele LoMdali

Baningi abafisa ukufuna, futhi bazuze, izibusiso zikaNkulunkulu, kodwa akubona bonke abangazithola lezi zibusiso, ngoba uNkulunkulu unezimiso Zakhe futhi ubusisa umuntu ngendlela Yakhe. Izithembiso ezenziwa uNkulunkulu kumuntu, kanye nobungako bomusa awunika umuntu, kwabiwa kusukela emicabangweni nasezenzweni zomuntu. Ngakho, yini ekhonjiswa yizibusiso zikaNkulunkulu? Yini ebonwa abantu kuzo? Kuleli qophelo, akesibeke eceleni ingxoxo yokuthi abantu abanjani ababusiswa nguNkulunkulu, noma izimiso zesibusiso sikaNkulunkulu kumuntu. Kunalokho, masibuke ukubusiswa komuntu nguNkulunkulu ngenhloso yokwazi igunya likaNkulunkulu, sikubuka ngeso lokwazi igunya likaNkulunkulu.

Iziqephu ezine zombhalo ngaphezulu zonke zingokuqoshiwe ngokubusiswa komuntu nguNkulunkulu. Zisinika incazelo enemininingwane ngabantu abathola izibusiso zikaNkulunkulu, njengo Abrahama noJobe, kanye nezizathu ezenza uNkulunkulu abanike izibusiso Zakhe, nalokho okwakuqukethwe yilezi zibusiso. Iphimbo nendlela abekwa ngayo la mazwi, neso nesikhundla lapho ayekhulunyelwa kukho, kuvumela abantu ukuba bakwazise ukuthi Lowo onika izibusiso nowemukela izibusiso ezinje banobunjalo, isikhundla nengqikithi okwehlukene ngokusobala. Iphimbo nendlela yala mazwi, kanye nendawo akhulunywa kuyo, kuyingqayizivele kuNkulunkulu, onobunjalo boMdali. Unegunya namandla, kanye nokuhlonipheka koMdali, kanye nobukhosi obungavumeli ukungabaza komuntu.

Masiqale sibuke kuGenesise 17:4-6: “Ngokwami, bheka, isivumelwano sami sikuwe, futhi uyakuba ngubaba wezizwe eziningi. Igama lakho akusayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizoba ngu-Abrahama; ngokuba ngikwenze ubaba wezizwe eziningi. Futhi Ngiyokwandisa impela inzalo yakho, ngiyakwenza futhi izizwe ngawe, namakhosi ayovele kuwe.” La mazwi ayeyisivumelwano uNkulunkulu asenza no-Abrahama, kanye nokubusisa kukaNkulunkulu u-Abrahama: uNkulunkulu wayezokwenza u-Abrahama uyise wezizwe, wayezokwandisa kakhulu inzalo yakhe, enze izizwe kuye, futhi amakhosi ayeyovela kuye. Uyalibona igunya likaNkulunkulu kula mazwi? Futhi ulibona kanjani igunya elingaka? Iyiphi ingxenye yengqikithi yegunya likaNkulunkulu oyibonayo? Uma ufundisisa lawa mazwi, akunzima ukuthola ukuthi igunya nobunjalo bukaNkulunkulu bembulwe basobala ngendlela abekwe ngayo amazwi kaNkulunkulu. Isibonelo, lapho uNkulunkulu ethi “isivumelwano Sami sikuwe, futhi uyakuba…, ngikwenzile… Ngiyokwandisa…,” imisho enjengokuthi “uyakuba” kanye “Ngiya-,” nendlela ebekwe ngayo, iphethe ukuqinisekisa ubunjalo negunya likaNkulunkulu, le misho ngenye indlela, iyinkomba yokuthembeka koMdali; ngakwenye indlela, ingamazwi akhethekile asetshenziswa nguNkulunkulu, onobunjalo boMdali—iphinde ibe yingxenye yenqolobane yamagama ajwayelekile. Uma umuntu ethi uthemba ukuthi omunye umuntu uzokwanda ngokweqile, nokuthi izizwe ziyophuma kuyena, nokuthi amakhosi ayovela kuyena, lokho akungabazeki ukuthi kuwuhlobo lwesifiso, futhi akusona isithembiso noma isibusiso. Ngakho futhi, abantu abalinge bathi “ngizokwenza ube ilokhu nalokhu, uzokwenza lokhu nalokhu….,” ngoba bayazi ukuthi abanawo lawo mandla; akuncikile kubona, ngisho noma bangazisho izinto ezinjena, amazwi abo ayobe engasho lutho futhi ewumbhedo, oqhutshwa ukufisa nokulangazelela. Ukhona umuntu ongalinga akhulume ngendlela ephakeme kanje, uma ezwa ukuthi ngeke aphumelele ukufeza izifiso zakhe? Wonke umuntu ulufisela okuhle uzalo lwakhe futhi uthemba ukuthi bayohamba phambili bathakasele impumelelo enkulu. Bekungaba inhlanhla enkulu uma omunye wabo ubengaba inkosi enkulu ebusa amanye amakhosi! Uma omunye wabo engaba umbusi lokho kungaba kuhle futhi —inqobo nje uma engumuntu obalulekile! Zonke lezi yizifiso zabantu, kodwa abantu bangafisela izibusiso nje kuphela, phezu kozalo lwabo, futhi ngeke bazigcwalise noma benze izithembiso zabo ziphumelele. Ezinhliziyweni zabo, wonke umuntu niyazi ukuthi abanawo amandla okufeza izinto ezinjalo, ngoba kubo, zonke lezi zinto zingaphezu kwamandla abo, ngakho-ke bangalawula kanjani isimiselo sabanye abantu? Isizathu esingenza uNkulunkulu asho amazwi anjalo ingoba, uNkulunkulu unegunya elikhulu, futhi uyakwazi ukufeza nokugcina zonke izithembiso azenza kumuntu nokwenza zonke izibusiso azinika umuntu ukuthi zigcwaliseke. Umuntu wadalwa nguNkulunkulu, ngakho ukuthi uNkulunkulu enze umuntu ande achichime, kungalula kakhulu; ukwenza uzalo lomuntu ukuba luchume, kungadinga izwi nje Lakhe. Akasoze adinga ukuthi ajuluke ukwenza lokho, noma ahluphe umqondo Wakhe, noma axakeke ngalokho; lokhu ngamandla kaNkulunkulu uqobo, igunya likaNkulunkulu uqobo.

Emuva kokufunda ukuthi “U-Abrahama uzoba ngempela isizwe esikhulu, esinamandla, futhi zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa ngaye” kuGenesise 18:18, ingabe niyalizwa igunya likaNkulunkulu? Niyakuzwa ukungajwayeleki koMdali? Niyakwazi ukuzwa ubukhulu boMdali? Amazwi kaNkulunkulu aqinisile. UNkulunkulu akawasho lawa mazwi ukukhombisa ukuzethemba ukuthi uzophumelela, kodwa awubufakazi begunya elisemazwini kaNkulunkulu nomyalelo ogcwalisa amazwi kaNkulunkulu. Mabili amazwi okufanele niwaqaphele lapha. Uma uNkulunkulu ethi, “U-Abrahama uzoba ngempela isizwe esikhulu, esinamandla, futhi zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa ngaye,” kukhona ukudida okuthile kula mazwi? Kukhona ukukhathazeka okuthile? Kukhona ukwesaba okuthile? Ngenxa yamazwi athi, “uzoba ngempela” no “ziy0-” emazwini kaNkulunkulu, lezi zinto ezithile, eziphathelene ikakhulukazi nomuntu, futhi ezivame ukubonakala kuye, azikaze zihlanganise lutho noMdali. Akekho umuntu ongalokotha asebenzise amazwi anjalo, ukufisela abantu kahle, akekho umuntu ongalokotha ukubusisa omunye ngesizwe esikhulu nesinamandla, ngokuqiniseka okungaka, noma athembise ukuthi zonke izizwe ziyobusiseka kuye. Uma amazwi kaNkulunkulu eba nesiqiniseko esikhulu, ilapho futhi efakaza okuthile—yini lokho okuthile? Afakazela ukuthi uNkulunkulu unegunya elikhulu, futhi igunya Lakhe lingazifeza lezi zinto, nokufezeka kwazo akunakuvinjwa. UNkulunkulu wayenesiqiniseko enhliziyweni Yakhe, engenakho nokuncane ukungabaza ngakho konke ayebusise u-Abrahama ngakho. Ngaphezu kwalokho, konke lokhu sekuphelele kwakuyofezeka ngangokusho kwamazwi Akhe, futhi awekho amandla ayengakwazi ukuguqula, ukuvimba, ukukhinyabeza, noma ukuthikameza ukugcwaliseka kwakho. Akukhathaleki ukuthi kwakuzokwenzekani, ayikho into eyayingasula noma ibe nomthelela ekugcwalisekeni nokufezeka kwamazwi kaNkulunkulu. Lokhu kungamandla uqobo amazwi aphume emlonyeni woMdali, kanye negunya loMdali ongavumi ukuphika komuntu! Njengoba sewuwafundile la mazwi, usenokungabaza? La mazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu futhi kunamandla, nobukhosi, kanye negunya emazwini kaNkulunkulu. Amandla negunya elingaka, kanye nokungabi nokugwemeka kokugcwaliseka kwalokho okushiwo, lokhu ngeke kwenziwa inoma isiphi isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga futhi angeke kwedlulwa inoma yikuphi okudaliwe noma okungadalwanga. UMdali kuphela ongaxoxa nesintu ngaleli phimbo nangale ndlela, futhi amaqiniso akufakazele ukuthi izithembiso Zakhe aziwona amazwi angenalutho, noma ukuqhosha okuyize, kodwa awukubonakaliswa kwegunya eliyingqayizivele elingenakwedlulwa inoma imuphi umuntu, into noma okuthile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 93)

UGenesise 17:4-6  Ngokwami, bheka, isivumelwano Sami sikuwe, futhi uyakuba ngubaba wezizwe eziningi. Igama lakho akusayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizoba ngu-Abrahama; ngokuba ngikwenze ubaba wezizwe eziningi. Futhi Ngiyokwandisa impela inzalo yakho, ngiyakwenza futhi izizwe ngawe, namakhosi ayovele kuwe.

UGenesise 18:18-19  U-Abrahama uzoba ngempela isizwe esikhulu, esinamandla, futhi zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa ngaye. Ngokuba ngiyamazi, uzoyala abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe, futhi bayakugcina indlela kaJehova, ukwenza ukulunga nokwahlulela; ukuze uJehova enzele u-Abrahama lokho akushilo ngaye.

UGenesise 22:16-18  Ngizifungile Mina uqobo, kusho uJehova, ngenxa yokuthi ukwenzile lokhu, futhi ungayigodlanga indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo: Ngiyakukubusisa nokukubusisa, futhi ngandise nokwandisa inzalo yakho ibe njengezinkanyezi zezulu, nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle; futhi inzalo yakho iyothatha isango lezitha zayo; Futhi ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba zizobusiswa, ngokuba ulilalele izwi Lami.

UJobe 42:12 Ngakho uJehova wabusisa isiphetho sikaJobe kunesiqalo sakhe: ngokuba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhagqa ayizinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.

Yini umahluko phakathi kwamagama akhulunywe nguNkulunkulu namagama akhulunywe umuntu? Uma ufunda la mazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uzwa amandla amazwi kaNkulunkulu, kanye negunya likaNkulunkulu. Uzwa kanjani lapho uzwa abantu besho amazwi anjalo? Ucabanga ukuthi bayaqhosha futhi bayagabisa ngokwedlulele, futhi bayabukisa? Ngoba abanawo la mandla, abanalo igunya elingaka, ngakho-ke ngeke bakwazi nakancane ukufeza izinto ezinjalo. Ukuqiniseka kwabo okukhulu ngalezi zithembiso zabo, kukhomba ukuba budedengu bokuphawula kwabo. Uma umuntu esho amazwi anjengalawa, akungabazeki ukuthi ngabe uyaqhosha, futhi uzethemba ngokweqile, futhi baziveza ukuthi bayisibonelo esaziwayo sesimo sengelosi enkulu. La mazwi avela emlonyeni kaNkulunkulu; uyayizwa inhlese yokuzithwala lapha? Uyezwa sengathi amazwi kaNkulunkulu ayihlaya nje? Amazwi kaNkulunkulu ayigunya, amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, futhi ngaphambi kokuthi aphume emlonyeni Wakhe, okungukuthi, uma ethatha isinqumo sokwenza okuthile, leyo nto seyifezekile. Kungashiwo ukuthi, konke uNkulunkulu akusho ku-Abrahama kwabe kuyisivumelwano uNkulunkulu asimisa no-Abrahama. Lesi sivumelwano sasiyiqiniso elimisiwe, futhi siyiqiniso elifezekile, futhi wonke la maqiniso ayagcwaliseka kancane kancane ngokohlelo lukaNkulunkulu. Ngakho-ke, ukuthi uNkulunkulu asho amazwi anjalo, akusho ukuthi unesimo sokuqhosha, ngoba uNkulunkulu uyakwazi ukwenza izinto ezinje. Unamandla negunya elikhulu, futhi uyakwazi ngokuphelele ukufeza lezi zenzo. Ukufezeka kwazo zonke kulula uma ubuka isilinganiso sekhono Lakhe. Uma amazwi anjengalawa ephuma emlonyeni kaNkulunkulu, ayisambulo nokuvezwa kwesimo sikaNkulunkulu; ukwambulwa okuphelele nokubonakaliswa kwengqikithi negunya likaNkulunkulu, futhi ayikho into elungele nefaneleke kangcono ukufakazela ubunjalo boMdali. Indlela abekwe ngayo, nokuzwakala kwawo, namagama asetshenzisiwe ukubeka la mazwi, awuphawu lobunjalo boMdali, futhi ahambisana ngokuphelele nokuvezwa kobunjalo bukaNkulunkulu uqobo, futhi kuwo akukho ukuzenzisa, noma ukungahlanzeki. Awukubonakaliswa okuphelele futhi okuphelele nokwempela, kwengqikithi negunya loMdali. Izidalwa-ke zona, azinalo leli gunya, noma ingqikithi, ingasaphathwa eyamandla anikezelwa nguNkulunkulu. Uma umuntu eveza lokhu kuziphatha, kuyobe kuwukudalulwa kwesimo sakhe esonakele, futhi kuyobe kudalwa umthelela ohluphayo wokuqhosha komuntu nokulangazelela okungalawuliwe nokudalulwa kwezinhloso ezimbi zomubi yena yedwa, uSathane, ofisa ukwedusa abantu futhi abayenge ukuze bahlubuke uNkulunkulu. UNkulunkulu ukubuka kanjani lokhu okwembulwa ulimi olunje? UNkulunkulu angathi ufisa ukuthatha indawo Yakhe nokuthi ufisa ukuzenza Yena uthathe indawo Yakhe. Uma ulingisa ukuzwakala noma iphimbo lamazwi kaNkulunkulu, inhloso yakho ukuthatha indawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu, ukuthatha isintu okungesikaNkulunkulu ngokufanelekile. Lokhu kunguSathane, kwaphela nje; lezi yizenzo zozalo lwengelosi enkulu, okungenakubekezelelwa yiZulu! Phakathi kwenu, kukhona yini abake balingisa uNkulunkulu ngendlela ethile ngokukhuluma amazwi ambalwa, ngenhloso yokudukisa nokukhohlisa abantu, ukuze bezwe sengathi amazwi nezenzo zalo muntu zinegunya namandla kaNkulunkulu, sengathi ingqikithi yalo muntu nobunjalo iyingqayizivele, ngisho nokuthi iphimbo lamazwi alo muntu liyafana nelikaNkulunkulu? Nake nayenza into enjalo? Nake nalingisa iphimbo likaNkulunkulu ekukhulumeni kwenu, nangokunyakaza ngendlela okuthiwa imele isimo sikaNkulunkulu esinamandla negunya ngokubona kwenu? Iningi lenu ngabe likujwayele ukwenza lokhu noma nihlela ukukwenza lokhu? Uma senibona ngempela, niqonda futhi nazi igunya loMdali, bese nibheka emuva ezintweni enanizenza, nezinto enaniziveza nani, niyazizwa nicasukile? Niyakubona ukuzehlisa nokungahloniphi kwenu? Senisihlinzile nasibhekisisa isimo nomnyombo wabantu abanje, kungashiwo ukuthi bayinzalo eqalekisiwe yasesihogweni? Kungashiwo ukuthi bonke abantu abenza izinto ezifana nalezi, baletha ihlazo phezu kwabo uqobo? Niyabubona ubunzima balesi simo? Nokuthi sinzima kangakanani? Inhloso yabantu abenza kanje, ukulingisa uNkulunkulu. Bafuna ukuba nguNkulunkulu, futhi benze abantu ukuthi babadumise njengoNkulunkulu. Bafuna ukususa indawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu, bamlahle uNkulunkulu osebenza phakathi kwabantu, ukuze bakwazi ukulawula abantu, bashwabadele abantu, babenze ababo. Wonke umuntu unezifiso nokulangazelela okunjalo ekujuleni komqondo, futhi bonke abantu baphila endaweni eyoniwe kabi nguSathane futhi baphila esimweni esinobusathane lapho benobutha noNkulunkulu, futhi bekhaphela uNkulunkulu, futhi befisa ukuba nguNkulunkulu. Emuva kwehlanganyelo yami ngesihloko segunya likaNkulunkulu, nisafisa noma nisalangazelela ukuzenza uNkulunkulu noma ukulingisa uNkulunkulu? Nisafisa ukuba nguNkulunkulu? Igunya likaNkulunkulu alinakulingiswa ngumuntu, kanti ubunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu ngeke kwalingiswa umuntu, futhi nobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu, ngeke buze bufanekiswe ngumuntu. Noma ngabe uyakwazi ukulingisa iphimbo uNkulunkulu akhuluma ngalo, ngeke ukwazi ukulingisa ingqikithi kaNkulunkulu. Noma ukwazi ukuma endaweni kaNkulunkulu futhi uzenze ongathi unguNkulunkulu, ngeke uze ukwazi ukwenza lokho uNkulunkulu ahlose ukukwenza, futhi awusoze wakwazi ukubusa nokulawula zonke izinto. Emehlweni kaNkulunkulu, uyohlala njalo uyisidalwa esincane, futhi akukhathaleki ukuthi ulwazi nekhono lwakho kukhulu kangakanani, akukhathaleki ukuthi unezipho ezingaki, ubuwena sebubonke bungaphansi kokubuswa nguMdali. Noma ukwazi ukusho amazwi alukhuni, akusoze kwakhombisa ukuthi unengqikithi yoMdali, noma kukhombise ukuthi unegunya loMdali. Igunya namandla kaNkulunkulu kuyingqikithi kaNkulunkulu uqobo. Akuzange kufundwe, noma kwengezwe ngaphandle, kodwa kuyingqikithi yemvelo kaNkulunkulu. Ngakho ubudlelwano phakathi koMdali nezidalwa abusoze baguqulwa. Njengesinye sezidalwa, umuntu kufanele agcine indawo yakhe, aphinde aziphathe ngokuqikelela futhi aqaphe ngokuzimisela lokho akuphathiswe nguMdali. Umuntu akufuneki enze okungafanele, okuyiphutha, noma enze izinto ezingaphandle kwekhono kakhe noma enze izinto ezizondwayo nguNkulunkulu. Umuntu akufanele azame ukuba mkhulu, noma ukuba ngovelele, ongaphezu kwabanye, noma afune ukuba nguNkulunkulu. Ilokhu okufanele bangafisi ukuba yikho. Ukufuna ukuba mkhulu noma ukuba ngovelele kungubuwula. Ukufuna ukuba uNkulunkulu kuyichilo nakakhulu; kuyacasula, futhi kuyanyanyisa. Okuncomekayo, futhi okuyikhona izidalwa ekufanele zibambelele kukho ukuba zibe isidalwa soqobo; iwona mgomo bonke abantu ekufanele bawulandele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 94)

Igunya LoMdali Alithiywa Yisikhathi, Isikhala Noma Umumo Wendawo, Futhi Igunya LoMdali Alilinganiseki

Asibheke kuGenesise 22:17-18. Lesi ngesinye isiqephu esakhulunywa nguNkulunkulu uJehova, lapho athi ku-Abrahama, “Ngiyakukubusisa nokukubusisa, futhi ngandise nokwandisa inzalo yakho ibe njengezinkanyezi zezulu, nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle; futhi inzalo yakho iyothatha isango lezitha zayo; Futhi ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba zizobusiswa, ngokuba ulilalele izwi Lami.” UNkulunkulu uJehova wabusisa u-Abrahama izikhathi ziningi ukuthi uzalo lwakhe lwaluyokwanda—lwande kuze kufike kuliphi izinga? Ezingeni okukhulunywe ngalo emBhalweni: “njengezinkanyezi zezulu nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle.” Okungukuthi uNkulunkulu wayefisa ukunika u-Abrahama inzalo eningi njengezinkanyezi zezulu, futhi eningi njengesihlabathi sasogwini lo lwandle. UNkulunkulu wakhuluma lo mfanekiso, futhi kulo mfanekiso akunzima ukubona ukuthi uNkulunkulu wayengeke amane anike u-Abrahama inkulungwane eyodwa, ezimbili noma ngisho izinkulungwane zezinkulungwane zenzalo, kodwa kwakuyinani elingabaleki, ezanele ukuthi zibe yizihlwele zezizwe, ngoba uNkulunkulu wayethembise u-Abrahama ukuthi wayezoba nguyise wezizwe eziningi. Futhi lelo nani lalinqunywe ngumuntu noma kwakunqume uNkulunkulu? Umuntu angalawula ukuthi uyoba nenzalo engakanani? Kuncike kuyena? Akuncikile ngisho kumuntu ukuthi unabazukulu abambalwa, ingasaphathwa eyabaningi “njengezinkanyezi zezulu nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle.” Ubani ongafisi ukuthi uzalo lwakhe, lube luningi ngangezinkanyezi? Ngeshwa, izinto azenzeki njalo njengoba ufuna. Akukhathaleki ukuthi umuntu unekhono noma unolwazi olungakanani, akuncikile kinina: akekho ongama ngaphandle kwalokho okumiswe nguNkulunkulu. Noma ukuvumela kokungakanani, yilelo nani oyoba nalo; Uma uNkulunkulu ekunika okuncane, ngeke uze ube nokuningi, futhi uma uNkulunkulu ekunika okuningi, akusizi ukudinwa yinani lalokho onako. Akunjalo? Konke lokhu kuncike kuNkulunkulu, hhayi kumuntu! Umuntu uphethwe nguNkulunkulu, futhi akekho osala ngaphandle!

Lapho uNkulunkulu ethi “ngandise nokwandisa inzalo yakho,” lesi kwakuyisivumelwano uNkulunkulu asimisa no-Abrahama, futhi njengesivumelwano sothingo, sasiyofezeka naphakade, futhi kwabe kuyisithembiso uNkulunkulu ayesenze ku-Abrahama. UNkulunkulu kuphela ofanelekile futhi onekhono lokufeza lesi sithembiso. Akukhathaleki noma umuntu uyakukholwa, akukhathaleki noma umuntu uyakwemukela noma cha, futhi akukhathaleki ukuthi umuntu uyibuka kanjani, nokuthi uyithatha kanjani, konke lokhu kuzofezeka, ncamashi, njengokusho kwamazwi akhulunywe nguNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu ngeke aguquke ngenxa yezinguquko entandweni noma emibonweni yomuntu, futhi ngeke kuze kuguqulwe yizinguquko kunoma imuphi umuntu, into noma yini. Zonke izinto zinganyamalala, kodwa amazwi kaNkulunkulu ahlala phakade. Kunalokho, usuku lapho zonke izinto ziyoshabalala, yilo kanye usuku lapho amazwi kaNkulunkulu eyogcwaliseka khona ngokuphelele, ngoba unguMdali, futhi unegunya loMdali, namandla oMdali, futhi ulawula zonke izinto kanye nawo wonke amandla okuphila; Uyakwazi ukwenza utho luvele lapho kungekho lutho khona, noma utho luphenduke ize, futhi ulawula ukuguqulwa kwezinto zonke zisuke ekuphileni ziye ekufeni, ngakho kuNkulunkulu, ayikho into elula njengokwandisa uzalo lomuntu, njengenganekwane, kodwa kuNkulunkulu, lokho anquma ukukwenza, futhi athembisa ukukwenza, akukhona ukucabanga okungesikho, noma inganekwane. Kunalokho, kuyiqiniso uNkulunkulu ayeselibonile, futhi elalizofezeka ngokuqinisekile. Ingabe niyakubona lokhu? Ingabe amaqiniso ayafakazela ukuthi uzalo luka-Abrahama lwaluluningi? Ingabe lwaluluningi “njengezinkanyezi zezulu nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle” ezazishiwo nguNkulunkulu? Ngabe basabalala ezizweni nasezindaweni zonke, kuyo yonke indawo emhlabeni? Futhi yini eyafeza leli qiniso? Lafezwa igunya lamazwi kaNkulunkulu? Emakhulwini noma ezinkulungwaneni zezinkulungwane zeminyaka, amazwi kaNkulunkulu akhulunywa, amazwi kaNkulunkulu aqhubeka ukufezeka, futhi ayephenduka amaqiniso njalo njalo; lokhu kungamandla amazwi kaNkulunkulu, nobufakazi begunya likaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu edala konke lokhu ekuqaleni, uNkulunkulu wathi makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya. Lokhu kwenzeka ngokushesha okukhulu, kwagcwaliseka ngesikhashana nje; umphumela wamazwi kaNkulunkulu wabonakala masinyane. Kokubili kwakungukubonakaliswa kwegunya likaNkulunkulu, kodwa lapho uNkulunkulu ebusisa u-Abrahama, wavumela umuntu ukuthi abone enye ingxenye yengqikithi yegunya likaNkulunkulu, futhi wavumela umuntu ukuthi abone ukuthi igunya likaNkulunkulu lalingelinganiswe nalutho. Nangaphezu kwalokho wavumela umuntu ukuthi abone enye ingxenye enhle futhi engeyoqobo yegunya lomdali.

Athi angakhulunywa amazwi kaNkulunkulu, igunya likaNkulunkulu liqale ukulawula lo msebenzi, neqiniso elithenjiswe ngumlomo kaNkulunkulu liyaqala libe ngokukhona kancane kancane. Phakathi kwezinto zonke, izinguquko ziyaqala zenzeke ezintweni zonke ngenxa yalokhu, njengokuthi, ekufikeni kwentwasahlobo, utshani buphenduka bube buhlaza, izimbali ziyaqhakaza, amahlumela ayavela ezihlahleni, izinyoni ziyaqala zihlabelele, amahansi ayabuya, futhi namasimu aphithizele abantu.... Ngokufika kwentwasahlobo zonke izinto ziyavuseleleka, futhi lokhu yisenzo esimangalisayo soMdali. Uma uNkulunkulu efeza izithembiso Zakhe, zonke izinto ezulwini nasemhlabeni ziyaguquka futhi ziguquke ngokuhambisana nemicabango kaNkulunkulu—akekho osala ngaphandle. Uma isibophezelo noma isithembiso sikhulunywa umlomo kaNkulunkulu, zonke izinto zisebenzelana ukuze sifezeke, futhi zonke izidalwa ziyahlelwa futhi zilungiswe ngaphansi kokubusa koMdali, futhi zibambe iqhaza lazo elahlukene futhi zenze owazo umsebenzi. Lokhu ukubonakaliswa kwegunya likaNkulunkulu. Ubonani kulokhu? Ulazi kanjani igunya likaNkulunkulu? Kukhona umkhawulo wesikhathi? Kungashiwo ukuthi kuwubungako obuthile noma amandla athile? Kungalinganiswa ngezilinganiso zomuntu? Igunya likaNkulunkulu alilokhu licima likhanya, futhi alihambi libuye libuye futhi akekho ongalinganisa ukuthi likhulu kangakanani igunya Lakhe. Akukhathaleki ukuthi side kangakanani isikhathi esidlulayo, uma uNkulunkulu ebusisa umuntu, lesi sibusiso siyoqhubeka, futhi nokuqhubeka kwaso kufakazela igunya likaNkulunkulu elingelinganiswe nalutho, futhi lizovumela isintu ukuba sibone ukubuya kwamandla okuphila angenakucishwa oMdali, njalo njalo. Ukubonakaliswa kwegunya Lakhe, kungukuvezwa okuphelele kwamazwi omlomo Wakhe, futhi kukhonjiswa kuzo zonke izinto, nasesintwini. Okudlula lokho, yonke into efezwe yigunya Lakhe inhle ayinakuqhathaniswa nalutho, futhi ayinalo nelincane iphutha. Kungashiwo ukuthi imicabango Yakhe, amazwi Akhe, negunya Lakhe, kanye nawo wonke umsebenzi awufezayo, wonke uwumfanekiso omuhle futhi ongeke waqhathaniswa nalutho. Mayelana nezidalwa, ulimi lwesintu alukwazi ukuchaza ukubaluleka kwazo nesigqi sazo. Uma uNkulunkulu enza isithembiso kumuntu, noma kulapho ehlala khona, noma lokho akwenzayo, noma lapho evela khona ngaphambi noma emuva kokuthola isithembiso, noma ngabe zibe zinkulu kangakanani iziyaluyalu endaweni lapho ehlala khona, konke lokho kujwayelekile kuNkulunkulu njengemuva lesandla Sakhe. Noma ngabe side kangakanani isikhathi emuva kokuthi amazwi kaNkulunkulu ekhulunyiwe, Kuye kufana nokuthi aqeda kushiwo. Okungukuthi uNkulunkulu unamandla, futhi unegunya elikhulu, ngendlela yokuthi uyakwazi ukulandela, alawule futhi afeze isithembiso ngasinye asinika isintu, akukhathaleki ukuthi yisiphi isithembiso, akukhathalekile ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi sifezeke ngokuphelele, futhi nangaphezu kwalokho, akukhathalekile ukuthi ibanzi kangakanani indima ezothinteka ukuze sifezeke—njengesibonelo, isikhathi, indawo, uhlanga, njalo njalo—lesi sethembiso sizofezeka, futhi sibonakale, futhi ngaphezu kwalokho, ukufezeka nokubonakaliswa kwaso ngeke kumkhandle Yena nakancane. Futhi lokhu kufakazela ukuthini? Ukuthi ububanzi begunya namandla kaNkulunkulu kwanele ukulawula umhlaba wonke jikelele, nesintu sonke. UNkulunkulu wadala ukukhanya, kodwa lokho akusho ukuthi uphethe ukukhanya kuphela, noma ukuthi uphethe amanzi kuphela ngoba wadala amanzi, nokuthi konke okunye akuxhumene noNkulunkulu. Lokhu akukhona ukungaqondisisi? Noma ukubusisa kukaNkulunkulu u-Abrahama, kwase kusukile ezingqondweni zabantu emuva kwamakhulu eminyaka, kuNkulunkulu leso sithembiso sasisafana. Sasiselokhu siqhubeka ukufezeka, futhi sasingakaze sime. Umuntu wayengazi futhi wayengakaze ezwe ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa kanjani igunya Lakhe, izinto zonke zalungiswa zahlelwa kanjani, nokuthi zingaki izindaba ezimangalisayo ezenzeka phakathi kwezinto zonke zendalo kaNkulunkulu ngalesi sikhathi, kodwa isiqephu esimangalisayo ngasinye sokubonakaliswa kwegunya likaNkulunkulu nokwembulwa kwezenzo Zakhe kwadluliswa futhi kwaphakanyiswa phakathi kwezinto zonke, zonke izinto zavezwa zakhuluma ngezenzo ezimangalisayo zoMdali, futhi zonke izindaba ezikade ziphindaphindwa zobukhosi boMdali phezu kwezinto zonke, zizomenyezelwa ezidalweni zonke kuze kube phakade. Igunya uNkulunkulu abusa ngalo zonke izinto, kanye namandla kaNkulunkulu, kukhombisa zonke izinto ukuthi uNkulunkulu ukhona yonke indawo futhi ngezikhathi zonke. Uma usubonile ukuba yonke indawo kwegunya namandla kaNkulunkulu, uzobona ukuthi uNkulunkulu ukhona yonke indawo futhi zonke izikhathi. Igunya namandla kaNkulunkulu akuphoqwa yisikhathi, indawo, isikhala, noma imuphi umuntu noma into. Ububanzi begunya namandla kaNkulunkulu budlula imicabango yenhliziyo yomuntu, futhi akusoze kwaziwa umuntu ngokuphelele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 95)

Abanye abantu bathanda ukuqonda nokubuka izinto ngamehlo engqondo, kodwa ingabe amehlo engqondo omuntu angamfikisa kuphi? Ingabe kungafika ngale kwalo mhlaba? Ingabe umuntu uyakwazi ukuqonda nokucabanga ajule ngokuba khona kwangempela nesiqiniseko ngegunya likaNkulunkulu? Ukuqonda nokucabanga okujulile komuntu ingabe kuyakwazi ukumvumela ukuthi athole ulwazi ngegunya likaNkulunkulu? Kungamenza umuntu ukuthi azise futhi athobele igunya kaNkulunkulu? Amaqiniso ayafakaza ukuthi ukuqonda nokucabanga ujule kuvela engqondweni yomuntu, futhi akusizi nakancane futhi akunalo usizo olwazini lomuntu ngegunya likaNkulunkulu. Emuva kokufunda izincwadi zesayensi eziqanjiwe, abanye bangakwazi ukubona ngamehlo engqondo inyanga, nokuthi izinkanyezi kufanele ukuba zinjani. Kepha lokhu akusho ukuthi umuntu unakho yini ukuqonda igunya likaNkulunkulu. Ukubona ngamehlo engqondo kuyilokho nje: ukubuka ngamehlo engqondo. Amaqiniso ngezinto, okungukuthi, ukuxhumana kwazo negunya likaNkulunkulu, akakwazi nakancane. Pho kusho ukuthini ukuthi uke wandizela enyangeni? Lokhu kuchaza ukuthi unokuqonda okunezingxenye eziningi ngegunya likaNkulunkulu? Kuyakhombisa ukuthi uyakwazi ukucabanga ububanzi begunya namandla kaNkulunkulu? Njengoba ukuqonda nokubuka ngamehlo engqondo komuntu kungakwazi ukumvumela ukuthi azi igunya likaNkulunkulu, kufanele umuntu enze njani? Indlela ehlakaniphe kakhulu ukuthi ungaqondi futhi ungabuki ngamehlo engqondo, okungukuthi umuntu akufanele ancike ekubukeni ngamehlo engqondo futhi athembele ekuqondeni, uma sekuza ekwazini igunya likaNkulunkulu. Yini engifisa ukuyisho kinina lapha? Ulwazi ngegunya likaNkulunkulu, amandla kaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu, kanye nengqikithi kaNkulunkulu angeke kufezeke ngokuthembela ekubukeni ngamehlo akho engqondo. Njengoba ungeke uthembele ekubukeni ngamehl0 engqondo ukuze wazi igunya likaNkulunkulu, iyiphi indlela ongathola ngayo ulwazi lweqiniso ngegunya likaNkulunkulu? Ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ngobudlelwano nokuhlanganyela ndawonye, nangokuzwa amazwi kaNkulunkulu, uzoya ngokuya uba nokulizwa kanye nesiqiniseko ngegunya likaNkulunkulu, ngaleyo ndlela uyozuza ukuqonda okuza kancane kancane kanye nolwazi olwandayo njalo ngalo. Lena yiyo yodwa indlela yokuthola ulwazi ngegunya likaNkulunkulu; azikho izindlela ezinqamulelayo. Ukunicela ukuthi ningabuki ngamehlo engqondo akufani nokuthi ngithi hlalani nje niyethile nilinde ukubhujiswa, noma ukunivimba ukuthi nenze noma yini. Ukungasebenzisi ingqondo yakho ukucabanga nokubuka ngamehlo engqondo, kusho ukuthi ungasebenzisi ukucabanga ukuqonda, ukungasebenzisi ulwazi ukucwaninga, ukungasebenzisi isayensi njengesisekelo, kodwa kunalokho, ukunanela, ukuthola iqiniso, nokufakazela ukuthi uphethe ubukhosi phezulu kwesimiselo sakho, nokuthi amandla Akhe ngaso sonke isikhathi ayamfakazela ukuthi unguNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe, ngamazwi kaNkulunkulu, ngeqiniso, ngakho konke ohlangabezana nakho empilweni. Yiyo kuphela indlela umuntu angathola ngayo ukuqonda uNkulunkulu. Abanye bathi bafisa ukuthola indlela elula yokufeza le nhloso, kodwa niyakwazi ukuyicabanga indlela enjalo? Ngiyakutshela, asikho isidingo sokucabanga: Azikho ezinye izindlela! Indlela ukuthi uqikelele futhi ubekezelele ukwazi nokuthola iqiniso ngokuthi uNkulunkulu unani futhi ungubani ngamazwi wonke awavezayo nangazo zonke izinto azenzayo. Yiyo kuphela indlela yokwazi uNkulunkulu. Ngoba konke uNkulunkulu anakho nayikho, nazo zonke izinto zikaNkulunkulu, akulona nje igobongo futhi akunalutho—kodwa kuyaphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 96)

Iqiniso Lokulawula KoMdali Nokubusa Phezu Kwazo Zonke Izinto Nezidalwa Eziphilayo Likhuluma Ngobukhona Bangempela Begunya LoMdali

Ukubusiswa kukaJobe nguJehova kubhaliwe eNcwadini kaJobe. Ingabe uNkulunkulu wamnikani uJobe? “Ngakho uJehova wabusisa isiphetho sikaJobe kunesiqalo sakhe: ngokuba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhagqa ayizinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane” (UJobe 42:12) Ngokubuka komuntu, zabe ziyini lezi zinto ezanikwa uJobe? Kwabe kuyimfuyo nokuyinzuzo kumuntu? Ngalezi zimpahla ingabe uJobe wayezobe ecebile kakhulu, ngaleyo nkathi? Futhi, wazithola kanjani lezi zimpahla? Yini eyadala umcebo wakhe? Nakanjani kwakungenxa yesibusiso, ukuthi uJobe waba nale mpahla. Ukuthi uJobe wayeyibuka kanjani le mpahla, nokuthi wayezibuka kanjani izibusiso zikaNkulunkulu, yinto esingeke singene kuyo. Uma sekuza ezibusisweni zikaNkulunkulu, abantu bonke bayalangazelela, imini nobusuku, ukubusiswa nguNkulunkulu, kepha umuntu akanakho ukulawula ukuthi impahla engakanani azoyizuza ngesikhathi sokuphila kwakhe, noma uzozithola yini izibusiso kuNkulunkulu—futhi leli qiniso lingephikiswe! UNkulunkulu unegunya, futhi unamandla okunika noma iyiphi impahla kumuntu, ukuvumela umuntu ukuthola noma isiphi isibusiso, kodwa kunesimiso ezibusisweni zikaNkulunkulu. Abantu abanjani ababusiswa nguNkulunkulu? Abantu abathandayo, ngokusobala! U-Abrahama noJobe bobabili babusiswa nguNkulunkulu, kodwa izibusiso abazitholayo zazingafani. UNkulunkulu wabusisa u-Abrahama ngenzalo eningi kunezihlabathi nezinkanyezi. Lapho uNkulunkulu ebusisa u-Abrahama, wadala uzalo lwendoda eyodwa, isizwe esisodwa, ukuthi sibe namandla futhi sinothe. Kulokhu, igunya likaNkulunkulu labusa isintu, esabe siphefumula umphefumulo kaNkulunkulu phakathi kwezinto zonke nezidalwa eziphilayo. Ngaphansi kobukhosi begunya likaNkulunkulu, isintu sanda, futhi saba khona ngesivinini, futhi nangohlelo olwalunqunywe nguNkulunkulu. Ikakhulukazi, ukusebenza kwalesi sizwe, izinga lokwanda kwaso, kanye nobude bempilo konke kwakuyingxenye yezinhlelo zikaNkulunkulu, futhi nesimiso sakho konke lokhu kwakunesisekelo sesithembiso uNkulunkulu asenza ku-Abrahama. Okungukuthi, ngale kwezimo, izethembiso zikaNkulunkulu zaziyoqhubeka ngaphandle kwezingqinamba nezihibe, zifezeke ngaphansi kwesiqondiso segunya likaNkulunkulu. Kulesi sithembiso uNkulunkulu asenza ku-Abrahama, ngale kobuyaluyalu emhlabeni, inkathi, nezinhlekelele abantu ababhekana nazo, inzalo ka-Abrahama yayingeke ibhekane nengozi yokuthi ibhubhe, futhi isizwe sabo sasingeke sishabalale. Isibusiso sikaNkulunkulu kuJobe samenza waceba ngokwedlulele. Amnika khona uNkulunkulu, kwabe kuyizinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, eziphefumulayo, imininingwane ngazo—isibalo, ukwanda kwazo zizalana, ukuphila kwazo, isamba samafutha kuzo, njalo njalo—konke kwakulawulwa nguNkulunkulu. Nakuba lezi zilwane eziphilayo zazingakwazi ukukhuluma, nazo zaziyingxenye yezinhlelo zoMdali, futhi isimiso sezinhlelo zikaNkulunkulu kwakuhambisana nesibusiso uNkulunkulu ayesithembise uJobe. Ezibusisweni lezo uNkulunkulu azinika u-Abrahama noJobe, noma lokho okwakukade kuthenjisiwe kwakuhlukene, igunya lomdali ayebusa ngalo zonke izinto nezidalwa eziphilayo, lalifana. Yonke imininingwane yegunya namandla kaNkulunkulu ibonakala ezethembisweni nasezibusisweni Zakhe ezihlukene ku-Abrahama noJobe, futhi iphinde ikhombise isintu ukuthi igunya likaNkulunkulu liqhelelene kakhulu nokubuka ngamehlo engqondo komuntu. Le mininingwane iphinda itshele isintu ukuthi uma sifisa ukwazi igunya likaNkulunkulu, lokhu kungatholakala kuphela ngamazwi kaNkulunkulu nangokuzwa umsebenzi kaNkulunkulu.

Igunya likaNkulunkulu lobukhosi phezu kwezinto zonke livumela umuntu ukubona iqiniso: igunya likaNkulunkulu alibonakali nje kula mazwi “Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona ukukhanya, kwaba khona ukukhanya, futhi, Makube khona umkhathi, kwaba khona umkhathi kanye nokuthi Makube khona umhlaba, kwase kuba khona umhlaba,” kodwa ngaphezu kwalokho, indlela enza ngayo ukuthi ukukhanya kuqhubeke, yavimba ukuthi isibhakabhaka sishabalale, futhi kwagcina nomhlaba uhlukene unomphelo namanzi, kanye nemininingwane yokuthi wabusa phezu kwezilwane waziphatha: ukukhanya, isibhakabhaka, kanye nomhlaba. Nibonani futhi esibusisweni sikaNkulunkulu esintwini? Ngokusobala, emuva kokuthi uNkulunkulu esebusise u-Abrahama noJobe, izinyathelo zikaNkulunkulu azizange zikhawuke, ngoba wayesanda kuqala nje ukusebenzisa igunya Lakhe, futhi wayehlose ukwenza wonke amazwi Akhe ukuthi afezeke, futhi ukuze yonke imininingwane ayeyishilo ifezeke, nangeminyaka elandelayo, waqhubeka wenza yonke into ayeyihlosile. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unegunya, mhlawumbe kumuntu kubukeka sengathi uNkulunkulu uyakhuluma kuphela, futhi akadingi nokuthi enze lutho ukuze zonke izindaba nezinto zifezeke. Ukucabanga kanjalo ngandlela thize akunangqondo! Uma uthatha kuphela umbono wokubuka ecaleni elilodwa ukumisa kukaNkulunkulu isivumelwano nomuntu esebenzisa amazwi, kanye nokufeza zonke izinto esebenzisa amazwi, futhi ungakwazi ukubona izimpawu namaqinso anhlobonhlobo okuthi igunya likaNkulunkulu liyabusa phezu kokuba khona kwezinto zonke, ngakho ukuqonda kwakho ngegunya likaNkulunkulu akunalutho kakhulu futhi akunawo umqondo! Uma umuntu ecabanga ukuthi uNkulunkulu unjalo, ngakho, kufanele kushiwo ukuthi, ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu seluze lwaphoseka emseleni, futhi kwaze kwafika ekugcineni, ngoba uNkulunkulu lo muntu amcabangayo, ucishe abe ngumshini nje okhipha imiyalezo, hhayi uNkulunkulu onegunya. Uboneni ngezibonelo zika-Abrahama noJobe? Ulubonile uhlangothi okuyilona lona lwegunya namandla kaNkulunkulu? Emuva kokuthi uNkulunkulu wayesebusise u-Abrahama noJobe, uNkulunkulu akazange ahlale lapho ayekhona; futhi akazange athumele izithunywa Zakhe ukuthi zisebenze lapho yena elindile ukubona ukuthi umphumela kwakuzoba yini. Kunalokho, kwathi angaqeda ukukhuluma amazwi akhe, uNkulunkulu, igunya likaNkulunkulu laqala lasebenza emhlabeni wonke, futhi lahlela umzila ukuze kufezeke futhi kugcwaliseke izithembiso ayezenze ku-Abrahama noJobe, ngaleso sikhathi futhi wenza izinhlelo ezifanele namalungiselelo akho konke okwakudingeka esinyathelweni ngasinye kanye nasezigabeni ezisemqoka ayehlose ukuzenza. Ngalesi sikhathi, uNkulunkulu wahlela izithunywa Zakhe, kodwa futhi nazo zonke izinto ayezidalile. Okungukuthi, indlela igunya likaNkulunkulu elalisebenza ngayo, lalifake izithunywa, kodwa ngaphezu kwalokho lalifake zonke izinto, ezazibekwe ezikhundleni ezehlukene ukuze zisebenze ukufeza umsebenzi ayewuhlelile; lezi yizindlela ezithize, igunya likaNkulunkulu elasebenza ngazo. Emicabangweni yenu, abanye mhlawumbe banalokhu kuqonda ngegunya likaNkulunkulu: uNkulunkulu unegunya, futhi uNkulunkulu unamandla, ngakho uNkulunkulu udinga ukuthi ahlale ezulwini lesithathu, futhi ahlale endaweni eyodwa, futhi akadingi ukwenza umsebenzi othile, futhi wonke umsebenzi wakhe uwenza ngokuphelele ngemicabango Yakhe. Abanye kungenzeka bakholwe ukuthi, noma uNkulunkulu wabusisa u-Abrahama, akadinganga ukuthi enze lutho, futhi kwakwanele nje ukuthi amane akhulume amazwi Akhe. Ilokhu ngempela okwenzeka? Ngokusobala, cha! Noma uNkulunkulu enegunya namandla, igunya namandla Akhe kuliqiniso futhi okwangempela, akuyona into engenalutho. Ubuqiniso nengqikithi yegunya namandla kaNkulunkulu kwembulwa kancane kancane futhi kubonakala ekudaleni Kwakhe zonke izinto nokulawula phezu kwezinto zonke, kanye nangenqubo ahola futhi aphatha ngayo isintu. Zonke izindlela, yonke imibono, kanye nayo yonke imininingwane yobukhosi bukaNkulunkulu phezu kwesintu nezinto zonke, nawo wonke umsebenzi asewufezile, kanye nokuqonda Kwakhe zonke izinto—ngokusobala zonke zifakazela ukuthi igunya namandla kaNkulunkulu akuwona amazwi angasho lutho. Igunya namandla akhe kukhonjiswa futhi kwembulwe njalo njalo futhi ezintweni zonke. Lokhu kubonakaliswa nezambulo kukhuluma ngobukhona boqobo begunya likaNkulunkulu, ngoba usebenzisa igunya namandla Akhe ukuqhubeka nomsebenzi Wakhe, kanye nokulawula zonke izinto, nokubusa phezu kwezinto zonke umzuzu ngomzuzu, futhi amandla negunya Lakhe ngeke kuthathelwe indawo izingelosi, noma izithunywa zikaNkulunkulu. UNkulunkulu wanquma ukuthi yiziphi izibusiso ayezozinika u-Abrahama noJobe—kwakuncike kuNkulunkulu. Noma izithunywa zikaNkulunkulu zamvakashela mathupha u-Abrahama noJobe, izenzo zazo zazihambisa ngokwemiyalo kaNkulunkulu, futhi ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, futhi zazingaphansi kobukhosi bukaNkulunkulu. Noma umuntu ebona izithunywa zivakashela u-Abrahama, futhi engamboni uNkulunkulu enza okuthile ngokwakhe, emibhalweni yeBhayibheli, empeleni, okunguyena osebenzisa amandla negunya nguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokhu akuvumeli ukungabaza kwanoma umuphi umuntu! Noma ubonile ukuthi izingelosi nezithunywa zinamandla amakhulu, futhi zenza izimangaliso, noma zenze izinto ezithile zithunywe nguNkulunkulu, izenzo zazo kuphela zingenxa yokwenza lokho uNkulunkulu azithume khona, futhi azenzi lutho ngenhloso yokubonakalisa igunya likaNkulunkulu—ngoba akukho muntu noma into enegunya loMdali lokudala zonke izinto nokuphatha zonke izinto. Ngakho akukho muntu noma into engasebenzisa noma ikhombise igunya loMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 97)

Igunya LoMdali Aliguquki Futhi Alinakucasulwa

1. UNkulunkulu Usebenzisa Amazwi Ukudala Zonke Izinto

UGenesise 1:3-5  Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona ukukhanya: kwase kuba khona ukukhanya. Futhi uNkulunkulu wakubona ukukhanya ukuthi kuhle: Wase uNkulunkulu ehlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabe esebiza ukukhanya ngokuthi iMini, kanti ubumnyama wakubiza ngokuthi uBusuku. Kwase kuba ukuhlwa nokusa usuku lokuqala.

UGenesise 1:6-7  Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi. Futhi uNkulunkulu wabe esenza umkhathi, futhi wahlukanisa amanzi ayengaphansi komkhathi emanzini ayengaphezu komkhathi: futhi kwaba njalo.

UGenesise 1:9-11  Futhi uNkulunkulu wathi: Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kubonakala umhlabathi owomileyo: futhi kwaba njalo. UNkulunkulu wase ebiza umhlabathi owomileyo ngokuthi uMhlaba, nokuqoqeleka kwamanzi ndawonye wawabiza ngokuthi uLwandle: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wabe esethi, Umhlaba mawuveze utshani, imifino ethela imbewu, kanye nemithi yezithelo ethela izithelo zohlobo lwayo, embewu yayo ikuyo, emhlabeni: futhi kwaba njalo.

UGenesise 1:14-15  Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ukwahlukanisa imini kubusuku; futhi azibe yizibonakaliso, zezinkathi zonyaka, zezinsuku, nezeminyaka: Zibe futhi yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni: futhi kwase kuba njalo.

UGenesise 1:20-21  Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kanye nezinyoni ezizondiza phezu komhlaba emkhathini wezulu. UNkulunkulu wase edala imikhomo emikhulu, nazo zonke izilwane eziphilayo ezihambayo, ezavezwa amanzi ngokugcwala kwazo, ngokwezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngohlobo lwazo: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UGenesise 1:24-25  Futhi uNkulunkulu wathi, Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngokwezinhlobo zazo, izinkomo, nokunwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngokwezinhlobo zazo: futhi kwaba njalo. Futhi uNkulunkulu wenza izilo zomhlaba ngokwezinhlobo zazo. nezinkomo ngokwezinhlobo zazo, nakho konke okunwabuzelayo emhlabeni ngokwezinhlobo zazo: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

2. UNkulunkulu Usebenzisa Amazwi Akhe Ukumisa Isivumelwano Nomuntu

UGenesise 9:11-13  Futhi ngizomisa isivumelwano Sami nawe, ayisekho inyama eyophinda ibhujiswe ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukubhubhisa umhlaba. Futhi uNkulunkulu wathi, Lokhu kuwuphawu lwesivumelwano engisenza phakathi Kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani, izizukulwane ngezizukulwane zaphakade: Ngiyamisa uthingo Lwami emafwini, futhi luyakuba uphawu lwesivumelwano phakathi Kwami nomhlaba.

3. Izibusiso zikaNkulunkulu

UGenesise 17:4-6  Ngokwami, bheka, isivumelwano Sami sikuwe, futhi uyakuba ngubaba wezizwe eziningi. Igama lakho akusayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizoba ngu-Abrahama; ngokuba ngikwenze ubaba wezizwe eziningi. Futhi Ngiyokwandisa impela inzalo yakho, ngiyakwenza futhi izizwe ngawe, namakhosi ayovele kuwe.

UGenesise 18:18-19  U-Abrahama uzoba ngempela isizwe esikhulu, esinamandla, futhi zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa ngaye. Ngokuba ngiyamazi, uzoyala abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe, futhi bayakugcina indlela kaJehova, ukwenza ukulunga nokwahlulela; ukuze uJehova enzele u-Abrahama lokho akushilo ngaye.

UGenesise 22:16-18  Ngizifungile Mina uqobo, kusho uJehova, ngenxa yokuthi ukwenzile lokhu, futhi ungayigodlanga indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo: Ngiyakukubusisa nokukubusisa, futhi ngandise nokwandisa inzalo yakho ibe njengezinkanyezi zezulu, nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle; futhi inzalo yakho iyothatha isango lezitha zayo; Futhi ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba zizobusiswa, ngokuba ulilalele izwi Lami.

UJobe 42:12 Ngakho uJehova wabusisa isiphetho sikaJobe kunesiqalo sakhe: ngokuba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhagqa ayizinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.

Niboneni kulezi zingxenye ezintathu zombhalo? Nibonile ukuthi kunesimiso uNkulunkulu asebenzisa ngaso igunya Lakhe? Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wasebenzisa uthingo ukumisa isivumelwano nomuntu, lapho abeka uthingo emafwini ukuze atshele umuntu ukuthi wayengasoze aphinde asebenzise uzamcolo ukubhubhisa umhlaba. Uthingo esilubona namuhla, kuseyilolo thingo olwakhulunywa ngumlomo kaNkulunkulu? Ingabe imvelo yalo nencazelo yalo sekuguqukile? Ngaphandle kokungabaza, akuzange. UNkulunkulu wasebenzisa igunya Lakhe ukwenza lesi senzo, kanti nesivumelwano asenza nomuntu siyaqhubeka kuze kube namhlanje, futhi isikhathi lapho lesi sivumelwano singaguqulwa sincike kuNkulunkulu. Emva kokuthi uNkulunkulu ethe, “Ngiyamisa uthingo Lwami emafwini,” uNkulunkulu wasigcina njalo isivumelwano, kuze kube inamuhla. Ubonani kulokhu? Noma uNkulunkulu ayenegunya namandla, ubukhali kakhulu futhi unezimiso asebenza ngazo, futhi uyali gcina izwi Lakhe. Ubunzima bakhe nezimiso zezenzo zakhe kukhomba ukuthi uMdali akasoze acasulwa futhi igunya Lakhe akekho ongalidlula. Noma enegunya elikhulu futhi konke kuphansi koMbuso Wakhe, futhi nakuba enamandla okubusa phezu kwezinto zonke, uNkulunkulu akakaze akhinyabeze uhlelo Lwakhe, futhi nanini lapho esebenzisa igunya Lakhe, uyaqinisekisa ukukwenza ngokuhambisana nezimiso Zakhe, futhi ulandela ngokucophelela lokho akukhuluma ngomlomo Wakhe, futhi alandele izinyathelo nezinhloso zohlelo Lwakhe. Asidingi ukusho ukuthi, zonke izinto eziphethwe uNkulunkulu nazo zilalela izimiso igunya likaNkulunkulu elisebenza ngazo, futhi akukho muntu noma into, ekhishelwe ngaphandle kwezinhlelo zegunya Lakhe, futhi ngeke zikwazi ukuguqula izimiso igunya Lakhe elisebenza ngazo. Emehlweni kaNkulunkulu, labo ababusisiwe bathola umcebo olethwa yigunya Lakhe, futhi labo abaqalekisiwe bathola ukujeziswa kwabo ngenxa yegunya likaNkulunkulu. Ngaphansi kobukhosi begunya likaNkulunkulu, akukho muntu noma into esala ngaphandle ekusebenzeni kwegunya Lakhe, futhi ngeke bakwazi ukuguqula izimiso zegunya Lakhe. Igunya lomdali aliguqulwa izinguquko kunoma yini, futhi ngokufanayo, izimiso igunya Lakhe elisetshenziswa ngazo aziguquki nangenxa yasiphi isizathu. Izulu nomhlaba kungabhekana nanoma yiziphi izigemegeme, kodwa igunya loMdali aliguquki; zonke izinto zinganyamalala, kodwa igunya loMdali alisoze lanyamalala. Lokhu kuyingqikithi yegunya loMdali elingaguquki nelingacasuleki, futhi lokhu ubungqayizivele boqobo boMdali!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 98)

Umyalo kaNkulunkulu kuSathane

(UJobe 2:6) Futhi uJehova wayesethi kuSathane, Bheka, usesandleni sakho; kodwa ungakuthinti ukuphila kwakhe.

USathane Akakaze Alokothe Eqe Igunya LoMdali, futhi Ngenxa Yalokhu, Zonke Izinto Ziphila Ngokuhleleka

Lokhu kuyisiqephu esisuka eNcwadini kaJobe, futhi u “u” kula mazwi uqondise kuJobe. Noma umfushane, lo musho ucacisa izinto eziningi. Uchaza ingxoxo ethize phakathi kukaNkulunkulu noSathane ezweni lomoya, futhi usitshela ukuthi lowo uNkulunkulu ayekhuluma naye, kwabe kunguSathane. Usitshela ngokuthile okwashiwo nguNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu ayewumyalo nomyalelo kuSathane. Imininingwane ethize ngalo myalelo imayelana nokusindisa impilo kaJobe futhi lapho uNkulunkulu adweba umugqa khona ngempatho kaJobe nguSathane—uSathane kwakumele agcine ukuphila kukaJobe. Into yokuqala esiyifundayo kulo musho ukuthi lawa ngamazwi akhulunywa nguNkulunkulu kuSathane. NgokweNcwadi kaJobe yokuqala, isitshela isindlalelo sala mazwi: uSathane wayefisa ukubeka icala uJobe, ngakho kwakufanele athole imvume kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi amlinge. Lapho evuma, isicelo sikaSathane sokuthi alinge uJobe, uNkulunkulu ubeka lo mbandela kuSathane: “Bheka, uJobe usesandleni sakho; kodwa ungakuthinti ukuphila kwakhe.” Ingabe aluhlobo luni la mazwi? Kucacile ukuthi awumyalo, umyalelo. Uma usuluqondile uhlobo lwala mazwi, kufanele, empeleni, uqonde ukuthi Lo owakhipha lo myalelo nguNkulunkulu, nokuthi lowo owathola umyalelo, wawulalela, nguSathane. Akudingi ukushiwo, kulo myalelo, ubudlelwano phakathi kukaNkulunkulu noSathane bucacile kunoma ubani ofunda la mazwi. Kunjalo ukuthi lobu futhi ubudlelwano phakathi kukaNkulunkulu noSathane ezweni lomoya, nomehluko phakathi kobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu noSathane, okutholakala kokuqoshwa kwengxoxo phakathi kukaNkulunkulu noSathane emiBhalweni, futhi kuze kube namhlanje, lokhu kuyisibonelo esithize nerekhodi ebhalwe phansi lapho umuntu engafunda umahluko osemqoka phakathi kobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu noSathane. Kulesi sikhathi, kufanele ngisho ukuthi ukuqoshwa kwala mazwi kuwuMbhalo obalulekile olwazini lwesintu ngobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu. Ngale ngxoxo phakathi koMdali noSathane ezweni lomoya, umuntu uyakwazi ukuqonda ingxenye ethile ngegunya loMdali. La mazwi awobunye ubufakazi begunya eliyingqayizivele loMdali.

Uma ubuka ngaphandle, ayingxoxo phakathi kukaNkulunkulu uJehova noSathane. Ingqikithi yawo ukuthi indlela uJehova uNkulunkulu akhuluma ngayo, nesikhundla akhuluma ekusona, kuphakeme kunoSathane. Okungukuthi uNkulunkulu uJehova uyala uSathane ngephimbo lokuyala futhi utshela uSathane ukuthi uJobe uvele usesezandleni zakhe futhi ukhululekile ukumphatha noma kanjani uJobe—kodwa akakwazi ukuthatha impilo kaJobe. Okubhalwe kwalokho kuthi noma uJobe ebekwe ezandleni zikaSathane, kodwa impilo yakhe ayinikelwe kuSathane; akekho ongathatha impilo kaJobe ezandleni zikaNkulunkulu ngaphandle kokuthi evunyelwe nguNkulunkulu. Isimo somqondo kaNkulunkulu sikhonjiswe kwacaca kulo myalo awunika uSathane, futhi lo myalo ubonakalisa futhi wembule isikhundla uNkulunkulu akhuluma ekusona noSathane. Kulokhu, uNkulunkulu uphethe isikhundla sikaNkulunkulu owadala ukukhanya, nomoya, nezinto zonke nezidalwa eziphilayo, uNkulunkulu ophethe ubukhosi phezu kwezinto zonke nezidalwa eziphilayo, futhi olawula iHayidesi, uNkulunkulu olawula ukuphila nokufa kwezinto zonke eziphilayo. Ezweni lomoya, ubani ngaphandle kukaNkulunkulu ongalokotha anike umyalo onjena kuSathane? Futhi kungani uNkulunkulu uqobo wakhipha lo myalo Wakhe kuSathane? Ingoba impilo yomuntu, kuhlanganise nekaJobe ilawulwa nguNkulunkulu. UNkulunkulu akavumanga ukuthi uSathane alimaze noma athathe ukuphila kukaJobe, okungukuthi, ngaphambi kokuvumela uSathane ukuba alinge uJobe, uNkulunkulu wakhumbula ukuqikelela ukukhipha lo myalelo, futhi waphinda wamyala uSathane ukuthi angayithathi impilo kaJobe. USathane akakaze eqe igunya kaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, uhlala elalela ngokucophelela enze imiyalelo nemiyalo ethize kaNkulunkulu, engalokothi ukuyishaya indiva, futhi engalingi ukuguqula noma ikanjani inoma imiphi imiyalo kaNkulunkulu. Injalo ke imigomo uNkulunkulu ayibekele uSathane, ngakho futhi uSathane akakaze alokothe eqe le migomo. Ingabe akuwona amandla egunya likaNkulunkulu lawa? Ingabe akubona ubufakazi begunya likaNkulunkulu? Ngokuthi kufanele siziphathe kanjani kuNkulunkulu nokuthi simthathe kanjani uNkulunkulu, uSathane unokuqonda okucacile kunesintu, ngakho ezweni lomoya, uSathane ubona isikhundla negunya likaNkulunkulu ngokusobala, futhi unokwazisa okujulile amandla negunya likaNkulunkulu nezimiso ezimise ukusebenza kwegunya Lakhe. Akalokothi neze, nakanye, angazinaki noma azephule izimiso noma ikanjani futhi akalokothi achukuluze intukuthelo kaNkulunkulu nganoma iyiphi indlela. Noma emubi futhi ezidla ngokwemvelo, uSathane akakaze alokothe ukweqa imigomo uNkulunkulu ambekele yona. Ezigidini zeminyaka ulandela ngokuqikelela le migomo, ugcine yonke imiyalo nemiyalelo ayinikwe nguNkulunkulu, futhi akakaze alokothe eqele ngale komngcele. Noma enenhliziyo embi, uSathane uhlakaniphile kunesintu esonakele; uyabazi ubunjalo boMdali, futhi uyayazi imingcele yakhe. Kusukela kulezi zenzo “zokuthobeka” zikaSathane kniyabonakala ukuthi igunya namandla kaNkulunkulu ayizimemezelo zasezulwini ezingenakweqiwa uSathane, nokuthi kungenxa yobungqayizivele begunya likaNkulunkulu ukuthi zonke izinto ziyaguquka futhi zizalane ngendlela ehlelekile, ukuthi isintu singaphila futhi sande emzileni omiswe nguNkulunkulu, kungekho muntu noma into engathikameza lolu hlelo, futhi kungekho muntu noma into engakwazi ukuguqula lo mthetho—ngoba yonke ivela ezandleni zoMdali, futhi ngokulawula negunya loMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 99)

Ubunjalo bukaSathane obungavamile benze abantu abaningi bakhombisa intshisekelo enkulu ukubona ukuziveza kwakhe ngezindlela eziningi. Kukhona abantu abayiziwula abakholwa ukuthi uSathane, njengoNkulunkulu unegunya, ngoba uSathane uyakwazi ukwenza izimangaliso, futhi uyakwazi ukwenza lokho isintu esingenakukwenza. Ngakho ngaphezu kokukhonza uNkulunkulu, isintu sishiya indawo kaSathane enhliziyweni yaso, futhi size sikhonze uSathane njengoNkulunkulu. Laba bantu bayadabukisa futhi bayanyanyeka. Bayadabukisa ngoba baswele ulwazi, futhi bayanyanyeka ngenxa yokuhlubuka kwabo nengqikithi yabo embi ngokwemvelo. Okwamanje ngizwa ukuthi kuyadingeka nginazise ukuthi igunya liyini, liwuphawu lwani, futhi limele ini. Kabanzi nje, UNkulunkulu uqobo Lwakhe uligunya, igunya Lakhe liwuphawu lobukhosi nengqikithi kaNkulunkulu kanti igunya likaNkulunkulu uqobo Lwakhe limele isikhundla nobunjalo bukaNkulunkulu. Ingakuyiphi ingxenye lapho uSathane engalokotha athi yena uqobo unguNkulunkulu? USathane uyalokotha athi wadala zonke izinto futhi uphethe ubukhosi phezu kwezinto zonke? Impela akasho! Ngoba akakwazi ukudala zonke izinto; kuze kube inamuhla akakaze adale lutho oludalwe nguNkulunkulu, futhi akakaze adale lutho olunokuphila. Ngoba akanalo igunya likaNkulunkulu akasoze aba nesikhundla nobunjalo bukaNkulunkulu futhi lokhu kuncike ebukhoneni bakhe. Unawo amandla afana nakaNkulunkulu? Impela, akanawo! Ingabe ungamandla? Ingabe angabizwa ngegunya? Ngeke ngempela! USathane ulawula ibuya lo bubi, futhi athikameze, one, aphazamise zonke izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu. Ngalezi zinkulungwane zeminyaka eminingi edlule, ngaphandle kokona nokuhlukumeza isintu, nokuyenga futhi ekhohlisa umuntu emfaka ekonakaleni, nasekuhlubukeni uNkulunkulu, ngakho umuntu uhamba esigodini sethunzi lokufa, ikhona into uSathane ayenzile efanele ngisho okuncane ukugujwa, ukunconywa, nokuthandwa umuntu? Ukuba uSathane ubenalo igunya namandla, ngabe isintu soniwa yikho? Uma uSathane ubenegunya namandla ngabe isintu salinyazwa yikho? Uma uSathane ubenamandla negunya, ngabe isintu salahla uNkulunkulu futhi saphendukela ekufeni? Njengoba uSathane engenagunya noma amandla, kufanele siphethe sithini ngengqikithi yakho konke akwenzayo? Kukhona laba abachaza konke uSathane akwenzayo ngokuthi bamane bathi ubuqili, kodwa ngikholwa ukuthi le ncazelo ayifanele. Izenzo zakhe ezimbi zokona isintu, zingubuqili nje? Amandla amabi uSathane ahlukumeza ngawo uJobe nesifiso sakhe esibi sokumhlukumeza nokumshwabadela kwakungeke kwenziwe ngobuqili kuphela. Uma sibheka emuva siyabona ukuthi, ngokuphazima kweso, imihlambi kaJobe eyayisakazeke emagqumeni nezintaba, yashabalala; ngomzuzwana umcebo omkhulu kaJobe wanyamalala. Konke kokhu ngabe kwenzeka ngobuqili nje kuphela? Uhlobo lwakho konke uSathane akwenzayo kuhambisana nezinto ezimbi njengokukhinyabeza, ukuphazamisa, ukubhubhisa, ukulimaza, ububi, unya, nobumnyama futhi ukwenzeka kwakho konke okungalungile nokubi kuxhumene ngendlela engeke yahlukaniswa nezenzo zikaSathane, futhi ihambisana nomthombo wobubi kaSathane. Akukhathaleki ukuthi uSathane “unamandla” kangakanani, akukhathaleki ukuthi unesibindi nokulangazelela okungakanani, akukhathaleki ukuthi likhulu kangakanani ikhono kakhe lokulimaza, akukhathaleki ukuthi ziningi kangakanani izindlela ona futhi ayenge ngazo umuntu, akukhathaleki ukuthi ihlakaniphe kanganani imikhuba namacebo ethusa ngawo umuntu, akukhathaleki ukuthi usiguquguqula kangakanani isimo sakhe ayiso, akakaze adale ngisho into eyodwa ephilayo, akakaze abeke imithetho nemigomo yokuphila kwezinto zonke, akakaze akwazi ukubusa noma ukulawula noma yini noma iyaphila noma ayiphili. Emhlabeni wonke nasemkhathini, akukho muntu noma into eyazalwa nguye noma ekhona ngenxa yakhe, akukho muntu noma into ephethwe noma elawulwa nguye. Kunalokho, kufanele aphile ngaphansi kukaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, kufanele alalele imiyalo nemiyalelo kaNkulunkulu. Ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu kunzima kuSathane ukuthi athinte iconsi lamanzi noma uhlamvu lwehlabathi emhlabeni; ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu uSathane akakhululekile ngisho ukunyakazisa izintuthwane emhlabeni—ingasaphathwa eyomuntu, owadalwa nguNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, uSathane usezingeni eliphansi kunezimbali ezintabeni, izinyoni ezindiza emoyeni, izinhlanzi olwandle, nezimpethu emhlabeni. Indima yakhe phakathi kwezinto zonke ukusebenzela izinto zonke nokusebenzela isintu, nokusiza uhlelo lukaNkulunkulu nohlelo lwakhe lokuphatha. Akukhathaleki ukuthi unonya kangakanani ngokwemvelo yakhe, nokuthi imbi kangakanani ingqikithi yakhe, into angayenza ukuthi enze lokho abekelwe ukuthi akwenze: ukuba wusizo kuNkulunkulu nokuba uhlangothi oluphikisa uNkulunkulu. Yilokho ubunjalo nesikhundla sikaSathane. Ingqikithi yakhe ayixhumene nempilo, ayixhumene namandla, ayixhumene negunya, uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu, umshini nje osebenzela uNkulunkulu!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 100)

Igunya qobo lwalo lingachazwa njengamandla kaNkulunkulu. Okokuqala, kungashiwo ngokuqiniseka ukuthi igunya namandla kokubili kuhle. Akuxhumene nalutho olubi futhi akuxhumene kunoma yisiphi isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga. Amandla kaNkulunkulu ayakwazi ukudala izinto noma ezinjani ezinokuphila nempilo, futhi lokho kwenziwa ukuphila kukaNkulunkulu. UNkulunkulu ungukuphila, ngakho uwumthombo wazo zonke izidalwa eziphilayo. Ngaphezu kwalokho, igunya likaNkulunkulu lingenza zonke izidalwa eziphilayo, zilalele wonke amazwi kaNkulunkulu, okungukuthi ziqale ukubakhona ngenxa yamazwi asuka emlonyeni kaNkulunkulu, futhi ziphile futhi zizalane ngokomyalo kaNkulunkulu, emuva kwalokho uNkulunkulu uyaphatha futhi ayale zonke izidalwa eziphilayo, futhi ngeke kuze kubekhona ukujika kuze kube phakade. Akekho umuntu noma into enalezi zinto; uMdali yedwa onawo futhi ophethe amandla angaka, futhi kanjalo kubizwa ngegunya. Yilobu ubungqayizivele boMdali. Ngaleyo ndlela, akukhathaleki ukuthi yigama “igunya” uqobo lwalo noma yingqikithi yaleli gunya, ngakunye kungahlanganiswa noMdali kuphela ngoba kuwuphawu lobunjalo nesikhundla soMdali futhi kumele ubunjalo nesikhundla soMdali; ngaphandle koMdali akekho umuntu noma into engahambisana negama “igunya.” Yilokhu ukuhunyushwa kwegunya eliyingqayizivele loMdali.

Noma uSathane wabuka uJobe ngamehlo anokuhaha, ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, wayengeke alokothe athinte ngisho unwele emzimbeni kaJobe. Noma emubi ngokwemvelo, futhi enonya, emuva kokuthi uNkulunkulu enike umyalelo Wakhe kuye, uSathane wayengenakwenza lutho ngaphandle kokugcina umyalo kaNkulunkulu. Ngakho noma uSathane wayemagange okwempisi phakathi kwezimvu mayelana noJobe, akazange alokothe akhohlwe imigomo ambekela yona uNkulunkulu, akazange alokothe ephule imiyalelo kaNkulunkulu, futhi kukho konke akwenza, uSathane akazange alokothe aphambuke ezimisweni nemigomo yamazwi kaNkulunkulu—akulona iqiniso leli? Kulokhu kuyabonakala ukuthi uSathane akalokothi ephule noma imaphi amazwi kaNkulunkulu uJehova. KuSathane wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu angumyalelo, nomthetho wasezulwini, nokubonakaliswa kwegunya likaNkulunkulu—ngoba ngemuva kwezwi likaNkulunkulu kukhona ukujeziswa nguNkulunkulu kulabo abaphula imiyalelo kaNkulunkulu, nalabo abangalaleli futhi abamelene nemithetho yezulu. USathane uyazi ngokusobala ukuthi uma ephula imiyalelo kaNkulunkulu, kufanele emukele okulandelayo ukuphula igunya kaNkulunkulu nokumelana nemithetho yasezulwini. Yimiphi le miphumela? Akubuzwa, empeleni, ngukujeziswa kwakhe nguNkulunkulu. Izenzo zikaSathane kuJobe zabe ziwumfanekiso omncane wokonakalisa kwakhe umuntu, futhi ngesikhathi uSathane ezenza lezi zenzo, imigomo uNkulunkulu ayibeka nemiyalelo ayinika uSathane yabe ingumfanekiso omncane nje wezimiso ezingemuva kwakho konke akwenzayo. Ngaphezu kwalokho, indima nendawo kaSathane kulolu daba yabe ingumfanekiso omncane wendima nendawo yakhe emsebenzini wokuphatha kaNkulunkulu, futhi ukulalela okuphelele kukaSathane elalela uNkulunkulu ekulingweni kukaJobe kwabe kungumfanekiso omncane wendlela uSathane angazange alokothe ukumelana noNkulunkulu emsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu. Isiphi isexwayiso le mifanekiso emincane eninika sona? Phakathi kwezinto zonke, okubandakanya noSathane, akukho muntu noma into engaphula imithetho nezimemezelo zasezulwini ezibekwe nguMdali, futhi akukho muntu noma into elokotha ukweqa le mithetho nezimemezelo, ngoba akukho muntu noma into engaguqula noma iphunyuke esijezisweni esilethwa nguMdali kulabo abangamlaleli. UMdali kuphela ongabeka imithetho nezimemezelo, uMdali kuphela onamandla okuwumisa usebenze, futhi amandla oMdali angeke oniwa ngumuntu noma into. Leli yigunya loMdali eliyingqayizivele, leli gunya liphakeme ezintweni zonke, ngakho kungenzeke ukuthi sithi, “uNkulunkulu mkhulu kunabo bonke futhi uSathane ungowesibili.” Ngaphandle koMdali onegunya eliyingqayizivele, akekho umunye uNkulunkulu!

Ingabe seninalo ulwazi olusha ngegunya likaNkulunkulu? Okokuqala, ukhona umehluko phakathi kwegunya likaNkulunkulu esike saliphatha, kanye namandla omuntu? Futhi ingabe yini umahluko? Abanye abantu bathi ngeke uziqhathanise lezi zinto zombili. Kunjalo! Noma abantu bethi ngeke uziqhathanise lezi zinto zombili, emicabangweni nemiqondo yomuntu, amandla omuntu avame ukudidwa negunya, lezi zinto zombili ziqhathaniswa icala ngecala. Ingabe kwenzekani lapha? Abantu abenzi iphutha lokwenza enye ukuthi ibambele enye bengaqondile? Lokhu kokubili akuxhumene, futhi akukho ukuqhathanisa ongakwenza phakathi kwakho, kepha abantu bayehluleka ukuthi bangakwenzi lokhu. Ingabe kufanele kulungiswe kanjani lokhu? Uma ufisa ngempela ukuthola isisombululo, indlela yinye kuphela—ukuthi uqonde futhi wazi igunya eliyingqayizivele likaNkulunkulu. Emuva kokuqonda nokwazi igunya loMdali, ngeke uze ukhulume ngamandla omuntu negunya likaNkulunkulu ngesikhathi esisodwa.

Amandla omuntu achaza ukuthini? Ukukubeka kalula, yikhono noma ubukhali obenza isimo esonakele somuntu, izifiso nokulangazelela komuntu ukuthi kwande noma kufezeke ngezinga elikhulu. Ingabe singakubuka lokhu njengegunya? Akukhathaleki ukuthi kukhukhumele noma kuthembisa kangakanani ukulangazelela nezifiso zomuntu, lowo muntu ngeke kuthiwe unegunya; singagcina ngokuthi lokhu kuzikhukhumeza nempumeleo kumane kuwukukhombisa ukuba yinhlekisa kukaSathane phakathi kwabantu, futhi, singagcina ngokuthi kuwumdlalo ohlekisayo lapho uSathane edlala ukuba ngukhokho wakhe ukuze agcwalise ukulangazelela kwakhe ukuba uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 101)

Igunya likaNkulunkulu liwuphawu lwani? Liwuphawu lwamandla kaNkulunkulu uqobo? Liwuphawu lwesikhundla esiyingqayizivele sikaNkulunkulu uqobo? Phakathi kwezinto zonke, ulibone kuphi igunya likaNkulunkulu? Ulibone kanjani? Mayelana nezinkathi ezine umuntu abhekana nazo, ukhona umuntu ongaguqula ukudedelana phakathi kwentwasahlobo, nehlobo, nekwindla kanye nobusika? Entwasahlobo imithi iveza imiqumbe iqhakaze; ehlobo yembozwa amaqabunga, ekwindla ithela izithelo, bese ebusika amaqabunga ayawa. Ingabe kukhona ongakwazi ukuguqula lo mthetho? Ingabe lokhu kukhombisa ingxenye eyodwa yegunya likaNkulunkulu? UNkulunkulu wathi, “Makube khona ukukhanya,” futhi kwaba khona ukukhanya. Lokhu kukhanya ingabe kusekhona? Ingabe kusekhona ngenxa yani? Kukhona ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, kusobala, nangenxa yegunya likaNkulunkulu. Ingabe umoya odalwe nguNkulunkulu usekhona? Ingabe umoya ophefumulwa ngumuntu uvela kuNkulunkulu? Ingabe ukhona umuntu ongasusa izinto ezivela kuNkulunkulu? Ingabe ukhona umuntu ongaguqula ingqikithi yazo nomsebenzi wazo? Kukhona ongakwazi ukuvimbela ubusuku nemini okubekwe nguNkulunkulu, kanye nomthetho wobusuku nemini omiswe nguNkulunkulu? Ingabe uSathane angayenza leyo nto? Noma ungalali ebusuku, futhi uthathe ubusuku njengemini, kodwa kusewubusuku; ungaguqula uhlelo lwakho lwenjwayelo yansuku zonke, kodwa awukwazi ukuguqula igunya lokudedelana phakathi kobusuku nemini—futhi leli qiniso alinakuguqulwa inoma umuphi umuntu, akunjalo? Kukhona ongakwazi ukwenza ibhubesi lilime umhlaba njengenkunzi yenkomo? Ukhona okwazi ukuguqula indlovu ibe yimbongolo? Ukhona okwazi ukwenza inkukhu ibhabhe emoyeni njengokhozi? Ukhona okwazi ukwenza impisi idle utshani njengemvu? (Cha.) Ukhona okwazi ukwenza izinhlanzi emanzini ziphile emhlabeni owomile? Lokho akukwazi ukwenziwa ngabantu. Futhi kungani lokho? Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayala izinhlanzi ukuthi zihlale emanzini, ngakho zihlala emanzini. Ezweni ngeke ziphile futhi ziyofa; azikwazi ukweqa imigomo yomyalo kaNkulunkulu. Zonke izinto zinomthetho nemigomo yokuphila kwazo, futhi ngasinye, zonke zinomuzwa wazo wemvelo. Lokhu kwamiswa nguMdali, futhi ngeke kuguqulwe noma kwedlulwe inoma ngubani. Isibonelo, ibhubesi liyophila njalo endle, buqamama nomphakathi wabantu, futhi ngeke lithobe futhi lethembeke kumuntu njengenkunzi ehlala nabantu, futhi esebenzela umuntu. Noma izindlovu nezimbongolo ziyizilwane zombili, futhi zombili zinemilenze emine, futhi ziyizilwane eziphefumula umoya, ziyizinhlobo zezilwane ezehlukene, ngoba zahlukaniswa zaba izinhlobo ezihlukehlukene nguNkulunkulu, zinomuzwa wazo owehlukene, ngakho ngeke zikwazi ukushintshana. Noma inkukhu inemilenze emibili, namaphiko njengokhozi, ayisoze yandiza emoyeni; okukhulu engakwenza ukuthi indizele esihlahleni—lokhu kulawulwa umuzwa wayo wemvelo. Akudinge kushiwo, konke lokhu kungenxa yemiyalo yegunya likaNkulunkulu.

Ekuthuthukeni kwesintu namhlanje, isayensi yesintu kungathiwa iyachuma, futhi, nempumelelo yomuntu ekuhloleni ngesayensi ingachazwa ngokuthi ihlaba umxhwele. Ikhono lomuntu, kufanele kushiwo, likhula kakhulu, kodwa kukhona impumelelo eyodwa yesayensi isintu esingakakwazi ukuyithola: Isintu senze izindiza, izithwali zezindiza, nebhomu lama-athomu, isintu siye emkhathini, sahambahamba enyangeni, sakha i-inthanethi, futhi saphila ngendlela yokuphila eyisimanjemanje enobuchwepheshe, kepha isintu asikwazi ukudala into ephilayo, ephefumulayo. Imizwa yemvelo yazo zonke izidalwa eziphilayo kanye nemithetho eziphila ngayo, nomjikelezo wokuphila nokufa kwayo yonke into ephilayo—zonke lezi zinto azisoze zenzeka futhi azinakulawulwa isayensi yesintu. Njengamanje, singathi noma ngabe isayensi yomuntu ingafika kusiphi isicongo sempumelelo, ayinakuqhathaniswa noma namuphi umcabango woMdali, futhi ayikwazi ukuhlukanisa isimangaliso esiyindalo yoMdali, futhi namandla egunya Lakhe. Ziningi izilwandle emhlabeni, kepha azikaze zeqe imigomo yazo futhi zize ezweni ngokuthanda kwazo, futhi lokho kungoba uNkulunkulu wabeka imingcele wolwandle ngalunye; zahlala lapho aziyale khona, futhi ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu ngeke zikwazi ukuhambahamba ngokukhululeka. Ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, azifanele zifohle zingenelane, futhi zinganyakaza lapho kusho uNkulunkulu, futhi lapho ziya ziphinde zihlale khona kulawulwa nguNkulunkulu.

Ukukubeka ngokusobala, “igunya likaNkulunkulu” lichaza ukuthi kuncike kuNkulunkulu. UNkulunkulu unelungelo lokunquma ukuthi uzoyenza kanjani into, futhi izokwenzeka ngendlela ayithandayo. Igunya lezinto zonke lincike kuNkulunkulu, futhi hhayi kumuntu. Ngeke liguqulwe ngentando yomuntu, kodwa kunalokho liguqulwa imicabango kaNkulunkulu, nobuhlakani bukaNkulunkulu, nemiyalelo kaNkulunkulu, futhi lokhu kuyiqiniso elingephikwe inoma imuphi umuntu. Amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, umhlaba jikelele, ububenyebenye bezinkanyezi esibhakabhakeni, izinkathi ezine zonyaka, lokho okubonakalayo nalokho okungabonakali kumuntu—konke kukhona, kuyasebenza, futhi kuguquke, ngaphandle ngisho kwephutha elincane, ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, ngokuhambisana nemiyalelo kaNkulunkulu, ngokuhambisana nemiyalo kaNkulunkulu, futhi ngokuhambisana nemithetho yasekuqaleni kwendalo. Akekho noyedwa umuntu noma into engaguqula imithetho yakho, noma aguqule umzila wemvelo wendlela ezisebenza ngayo; kwaba khona ngenxa yegunya likaNkulunkulu, futhi kushabalala ngenxa yegunya likaNkulunkulu. Lokhu yigunya langoqobo likaNkulunkulu. Manje njengoba konke lokhu sekushiwo, uyezwa ukuthi igunya likaNkulunkulu liyisifanekiso sobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu? Okudaliwe noma okungadalwanga kungaba negunya likaNkulunkulu? Ingabe lingalingiswa, umuntu angazifanisa nalo, lingabanjelwa indawo ngumuntu, yinto noma okuthile?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 102)

Ubunjalo BoMdali Buyingqayizivele, futhi Akufanele Ulandele Umqondo WoNkulunkulu Abaningi

Noma amakhono nokwazi kukaSathane kukhulu kunokomuntu, noma engenza izinto umuntu angenakuzenza, akukhathaleki noma unomhawu noma ufisa ukwenza lokho uSathane akwenzayo, akukhathaleki noma uyakuzonda noma uyakunyanya lokho, akukhathaleki noma uyakwazi ukukubona lokho, futhi akukhathaleki ukuthi uSathane angaphumelela kangakanani noma bangaki abantu angabadukisela ekumkhonzeni nokumenza isithixo, akukhathaleki ukuthi umchaza kanjani, awusoze wakwazi ukuba negunya namandla kaNkulunkulu. Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu nguNk1ulunkulu, munye kuphela uNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu kuphela onegunya, futhi unamandla okulawula nokuphatha zonke izinto. Ngenxa nje yokuthi uSathane unekhono lokukhohlisa abantu, futhi azenze uNkulunkulu, angalingisa izimanga nezimangaliso ezenziwe nguNkulunkulu, futhi wenza izinto ezifanayo njengoNkulunkulu, ngephutha ukholwa ukuthi uNkulunkulu akayona ingqayizivele, ukuthi baningi abanye oNkulunkulu, ukuthi banamakhono amakhulu noma amancane nje, nokuthi umahluko usebubanzini bamandla abanawo. Ulinganisa ubukhulu babo ngokulandelana kokufika kwabo, futhi ngokweminyaka yabo, futhi ngephutha ukholwa ukuthi kukhona abanye onkulunkulu ngaphandle kukaNkulunkulu, futhi ucabanga ukuthi amandla negunya likaNkulunkulu akuhlukile. Uma unemicabango enjalo, uma ungabuboni ubungqayizivele bukaNkulunkulu, ungakholwa ukuthi uNkulunkulu kuphela unegunya, futhi uma ukholwa konkulunkulu abaningi, ngakho ngithi ungamakhoba ezilwaneni zonke, ungukuvezwa kukaSathane, futhi ungumuntu omubi kakhulu! Uyakuqonda engizama ukukufundisa khona ngala mazwi? Noma ngabe isiphi isikhathi, iyiphi indawo noma yini umlando wakho, ungamphambanisi uNkulunkulu nomunye umuntu, into noma okuthile. Akukhathaleki ukuthi ubukeka ungenalo ulwazi noma ungenakho ukuthi usondele egunyeni likaNkulunkulu nengqikithi kaNkulunkulu uqobo, akukhathaleki ukuthi izenzo namazwi kaSathane avumelana nokubona nokubuka ngamehlo engqondo, akukhathaleki ukuthi akwenelisa kangakanani, ungabi yisiwula, ungaphambanisi le miqondo, ungakuphiki ukuba khona kukaNkulunkulu, ungabuphiki ubunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu, ungamduduleli uNkulunkulu ngaphandle emnyango futhi ulethe uSathane ukuze athathe indawo kaNkulunkulu osenhliziyweni yakho futhi abe uNkulunkulu wakho. Angingabazi niyakwazi ukucabanga imiphumela yokwenze njalo!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 103)

Noma Isintu Sonakalisiwe, Sisaphila Ngaphansi Kobukhosi Begunya LoMdali

USathane kade onakalisa isintu iminyaka eyizinkulungwane. Wenze ububi obungenakubalwa, ukhohlise izizukulwane ngokulandelana, futhi wenze amacala amabi emhlabeni. Uhlukumeze umuntu, ukhohlise umuntu, unxenxe umuntu ukuba aphikise uNkulunkulu, futhi wenze izenzo ezimbi eziphambanise futhi zakhubaza kaningi uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Nokho, ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, zonke izinto nezidalwa eziphilayo ziyaqhubeka ngokulandela imiyalo nemithetho ebekwe nguNkulunkulu. Lapho iqhathaniswa negunya likaNkulunkulu, imvelo kaSathane nokudlebeleka kwakhe kubi kakhulu, kucasula futhi kwenyanyisa kakhulu, futhi kuncane kuphinde kube buthakathaka kakhulu. Noma ngabe uSathane uhamba phakathi kwazo zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu, akakwazi ukwenza noluncane uguquko kubantu, ezintweni, nasezimpahleni ezilawulwa nguNkulunkulu. Sekwedlule iminyaka eyizinkulungwane eziningi, kodwa umuntu usathokozela ukukhanya nomoya onikezwe nguNkulunkulu, usaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo Lwakhe, usathokozela izimbali, izinyoni, izinhlanzi nezinambuzane ezadalwa nguNkulunkulu, futhi uthokozela zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu; imini nobusuku kusaqhubeka nokudedelana; izinkathi zonyaka ezine ziyadedelana njengokujwayelekile; amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba kulobu busika, futhi asabuya entwasahlobo elandelayo; izinhlanzi emanzini aziyishiyi imifula namachibi ikhaya lazo; izihlonono emhlabathini zicula ngokuzimisela ngezinsuku zehlobo; izinyendle otshanini zivungazela kamnandi zihambisana nomoya ekwindla; amahansi abuthana abe yimihlambi, lapho izinkozi zisala zodwa; imihlambi yamabhubesi izisimamisa ngokuzingela; amaphiva awasuki otshanini nasezimbalini…. lonke uhlobo lwesidalwa esiphilayo phakathi kwezinto zonke luyahamba lubuye lubuye, lubuye luhambe futhi, izinguquko eziyisigidi zenzeka ngokuphazima kweso—kodwa okungaguquki yimizwa yazo yemvelo nemithetho yokuphila. Ziphila ngaphansi kokuhlinzeka nokondla kukaNkulunkulu, futhi akekho ongaguqula imizwa yazo, futhi akukho muntu ongaphazamisa imithetho yazo yokuphila. Nakuba isintu, esiphila phakathi kwazo zonke izinto, sikhohlakaliswe futhi sakhohliswa nguSathane, umuntu akakakwazi ukuphila ngaphandle kwamanzi enziwe nguNkulunkulu, nomoya owenziwe nguNkulunkulu, nazo zonke izinto ezenziwe nguNkulunkulu, futhi umuntu usaphila futhi ande kulesi sikhala esidalwe nguNkulunkulu. Imizwa yesintu ayiguqukile. Umuntu usathembele emehlweni akhe ukuze abone, ezindlebeni zakhe ukuze ezwe, engqondweni yakhe ukuze acabange, enhliziyweni yakhe ukuze aqonde, emilenzeni nezinyawo zakhe ukuze ahambe, ezandleni zakhe ukuze asebenze, njalo njalo; yonke imizwa uNkulunkulu ayinikeze umuntu ukuze akwazi ukwamukela ukuhlinzela Kwakhe yilokhu ingaguqukile, amandla umuntu asebenzisana ngawo noNkulunkulu awaguqukile, amandla omuntu okwenza umsebenzi womuntu odaliwe awaguqukile, izidingo zesintu zokomoya aziguqukile, isifiso sesintu sokuthola umsuka wakhe asiguqukile, ukulangazelela kwesintu ukusindiswa nguMdali akuguqukile. Sinjena isimo samanje sesintu, esiphila ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, futhi esibekezelele ukubhujiswa okunokuchitheka kwegazi okwenziwa nguSathane. Nakuba isintu sibekwe ngaphansi kwencindezelo kaSathane, futhi singaseyena u-Adamu no-Eva basekuqaleni kwendalo, esikhundleni sokugcwala izinto eziphikisana noNkulunkulu, njengolwazi, ukucabanga, imibono, njalo njalo, nokugcwala isimo sobusathane esikhohlakele, emehlweni kaNkulunkulu, isintu siseyisintu asidalayo. Isintu sisabuswa futhi sihlelwa nguNkulunkulu, futhi sisaphila emgudwini obekwe nguNkulunkulu, ngakho-ke emehlweni kaNkulunkulu, isintu, esikhohlakaliswe nguSathane, sembozwe yinkucuza nje, sinesisu esigwavumulayo, nokuphendula okuthatha kancane, nokukhumbula okungasebukhali njengakuqala, futhi sesikhule kancane ngeminyaka—kodwa konke ukwenza nemizwa yomuntu akulimele neze. Lesi yisintu uNkulunkulu ahlose ukusisindisa. Lesi sintu kufanele kuphela silalele ukumemeza koMdali, futhi sizwe iphimbo loMdali, futhi siyosukuma bese siphuthuma ukuze sithole umsuka waleli phimbo. Lesi sintu kufanele kuphela sibone isiqu soMdali bese singanaki lutho olunye, futhi sishiye konke, ukuze sizinikele kuNkulunkulu, futhi siyoze sinikele ngokuphila kwaso ngenxa Yakhe. Lapho inhliziyo yesintu iqonda amazwi oMdali athinta inhliziyo, isintu siyolahla uSathane bese siza ngasohlangothini loMdali; lapho isintu sihlanze ngokuphelele ukungcola emzimbeni waso, futhi sesibuye samukela ukuhlinzeka nokondla koMdali, khona-ke ukukhumbula kwesintu kuyovuselelwa, futhi kulesi sikhathi isintu siyobe sesibuyela ngempela ekubuseni koMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 104)

UGenesise 19:1-11  Kwase kufika izingelosi ezimbili eSodoma sekuhwalele; uLoti yena wayehleli esangweni laseSodoma: wathi uLoti ezibona wasukuma ukuba azihlangabeze; wayesekhothama emhlabathini ubuso bakhe bubheke phansi; futhi wathi, bhekani manje, makhosi ami, ake nichezuke, ningene endlini yenceku yenu, nichithe ubusuku bonke, futhi nihlanze izinyawo zenu, bese nivuka ekuseni, nihambe izindlela zenu. Zase zithi, Cha; siyakuchitha ubusuku bonke emgwaqweni. Futhi wazincenga kakhulu, zaze zachezukela kuye, futhi zangena endlini yakhe, wase ezenzela idili, wazenzela isinkwa esingenayo imvubelo, zase zidla. Kodwa phambi kokuba zilale, amadoda edolobha, ngisho namadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha kanye namadala, abantu bonke abavela nxazonke: Base bembiza uLoti, bathi kuye, Aphi la madoda angene endlini yakho kusihlwa na? silethele wona, ukuze siwazi. ULoti waphumela ngaphandle kubona emnyango, wase evala umnyango emva kwakhe. Wase ethi, Ngiyanincenga, bafowethu, ningenzi okubi. Bhekani manje, nginamadodakazi amabili angayazi indoda, ngiyanincenga, ake nginikhiphele wona, futhi nenze kuwo okufanele emehlweni enu: kodwa ningenzi lutho kula madoda, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami. Base bethi, Deda. Baphinda futhi bathi, lo muntu oyedwa ufike ezongenisa, futhi ufuna ukwahlulela: manje siyakukuhlupha kakhulu wena kunabo. Base bemcindezela kakhulu lo muntu, ngisho noLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango. Kodwa amadoda alula izandla, futhi amdonsela endlini kuwo uLoti, ase evala umnyango. Zase zishaya amadoda ayesemnyango wendlu ngobumpumputhe, amadala kanye namancane: afuna umnyango aze akhathala.

UGenesise 19:24-25  Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma neGomora isibabuli nomlilo futhi kuvela kuJehova ezulwini; futhi wachitha lawo madolobha, nalo lonke ithafa, nabo bonke abakhe emadolobheni, nalokho okuhluma emhlabathini.

Kulezi ziqephu, akunzima ukubona ukuthi ububi nokukhohlakala kweSodoma kwase kufike ezingeni elinengekayo kokubili kubantu nakuNkulunkulu, nokuthi emehlweni kaNkulunkulu lo muzi wawufanele ukubhujiswa. Kepha kwenzekani ngaphakathi kwalo muzi ngaphambi kokuthi ubhujiswe? Abantu bangakhuthazeka kanjani kulezi zigameko? Umbono kaNkulunkulu mayelana nalezo zigameko usitshelani ngesimo Sakhe? Ukuze siqonde yonke indaba, masifunde ngokucophelela okubhalwe emBhalweni …

Inkohlakalo YeSodoma: Okuthukuthelisayo Kumuntu, Okuvusa Ulaka KuNkulunkulu

Ngalobo busuku, uLoti wavakashelwa izithunywa ezimbili ezazivela kuNkulunkulu futhi wazilungiselela idili. Ngemva kokudla, ngaphambili kokuba zilale, abantu abasuka kuzo zonke izindawo zalo muzi, bazungeza indlu kaLoti bambiza uLoti. Ukulandisa komBhalo kuthi bathi, “Aphi la madoda angene endlini yakho kusihlwa na? Silethele wona, ukuze siwazi.” Obani abasho la mazwi? Ayeshiwo kubani? Lawa kwakungamazwi abantu baseSodoma, abawamemeza ngaphandle kwendlu kaLoti futhi ayeqondiswe kuLoti. Uzizwa kanjani uma uzwa la mazwi? Ingabe uyathukuthela? La mazwi ayakunenga? Uyabila ulaka? La mazwi awanuki uSathane? Ngawo uyabuzwa yini ububi nobumnyama kulo muzi? Uyaluzwa unya nesihluku sokuziphatha kwalaba bantu emazwini abo? Uyakuzwa ukujula kokukhohlakala kwabo ngokuziphatha kwabo? Ngokuqukethwe inkulumo yabo, akunzima ukubona imvelo yabo enobubi kanye nesimo sabo esinobulwane sase sifike ezingeni elase lingaphezu kwabo ukuthi bangalilawula. Ngaphandle kukaLoti, bonke abantu kulo muzi babengahlukile neze kuSathane; ukubona nje omunye umuntu kwabenza laba bantu bafuna ukubalimaza nokubashwabadela…. Lezi zinto azimniki nje umuntu umuzwa wokunyantisa nokusabeka kwesimo salo muzi, kanye nokuzungezwa ukufa; zimnika nomuzwa wokukhohlakala kwabo nokomela kwabo igazi.

Lapho ezithola ebhekene ubuso nobuso nequlu lezinswelaboya ezinonya, abantu ababegcwele ukuzimisela okushwabadela umphefumulo, waphendula kanjani uLoti? Ngokusho koMbhalo: “Ngiyanincenga, ningenzi okubi. Bhekani manje, nginamadodakazi amabili angayazi indoda; ngiyanincenga, ake nginikhiphele wona, futhi nenze kuwo okufanele emehlweni enu: kodwa ningenzi lutho kula madoda, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.” ULoti wayechaza lokhu ngamazwi akhe: Wayezimisele ukunikela ngamadodakazi akhe amabili ukuze avikele izithunywa. Kwakufanele ukuba laba bantu bavumelane nemibandela kaLoti futhi baziyeke izithunywa; Phela vele, izithunywa zabe ziyizihambi okwempela kubo, abantu ababengahlanganise lutho nabo; lezi zithunywa ezimbili zazingakaze zibahluphe ngalutho. Kodwa, bephushwa imvelo yabo embi, abazange balushiye kanjalo udaba. Kunalokho, baphikelela kakhulu kunakuqala. Lapha enye yezinto abazishoyo ngokungangabazeki inganika umuntu ukuqondisisa mayelana nemvelo enonya ngempela yalaba bantu; ngaso leso sikhathi iyasiza ukuthi umuntu azi futhi aqonde isizathu sokuthi uNkulunkulu afise ukuwubhubhisa lo muzi.

Baqhubeka bathini-ke? Njengoba sifunda eBhayibhelini: “Deda. Baphinda futhi bathi, lo muntu oyedwa ufike ezongenisa, futhi ufuna ukwahlulela: manje siyakukuhlupha kakhulu wena kunabo. Base bemcindezela kakhulu lo muntu, ngisho noLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.” Kungani babefuna ukuphula umnyango? Isizathu ukuthi babegaqele ukulimaza lezi zithunywa ezimbili. Zazenzani lezo zithunywa eSodoma? Inhloso yazo yokufika lapho kwabe kuwukuhlenga uLoti nomndeni wakhe; kodwa, abantu bomuzi ngephutha babecabanga ukuthi bazokuba izikhulu ezithile. Ngaphandle kokubuza inhloso yabo, kwabe kumane kuwumngathekiso owenza umuzi ufune ukulimaza ngonya lezi zithunywa; babefuna ukulimaza abantu ababili ababengahlanganise lutho nabo. Kusobala ukuthi abantu balo muzi base belahlekelwe ngokuphelele ubuntu nomqondo wabo. Izinga lokuhlanya nobudlova kwabo kwase kungasahlukile kunemvelo enesihluku kaSathane yokulimaza nokushwabadela abantu.

Kwathi lapho befuna laba bantu kuLoti, uLoti wenze njani? Ngokombhalo siyazi ukuthi uLoti akazange abanikele kubo. Wayezazi lezi zithunywa ezimbili zikaNkulunkulu uLoti? Ngokusobala Cha! Kungani pho wakwazi ukuhlenga laba bantu ababili? Noma wayengasazi isizathu sokuza kwabo, wayazi ukuthi izinceku zikaNkulunkulu, ngakho wabemukela. Ukuthi wayengabiza lezi zinceku zikaNkulunkulu ngamakhosi, kwakukhombisa ukuthi uLoti wayengumlandeli kaNkulunkulu ngokujwayelekile, hhayi njengabanye ngaphakathi eSodoma. Ngakho-ke, kwathi uma kufika izinceku zikaNkulunkulu kuyena, wafaka impilo yakhe engozini ngokwemukela lezi zinceku ezimbili; ngaphezu kwalokho, waphinde wanikela ngamadodakazi akhe amabili ukuze avikele lezi zinceku ezimbili. Isenzo sikaLoti lesi esilungileyo; futhi kungukubonakaliswa okuphathekayo kwemvelo nobunjalo bukaLoti. Lapho ebhekene nobungozi, uLoti wavikela lezi zinceku ezimbili ngaphandle kokubheka enye into; wazama ngisho ukunikela ngamadodakazi akhe amabili ukuze esikhundleni sawo, azuze ukuphepha kwezinceku. Ngaphandle kukaLoti, kukhona omunye phakathi komuzi owayengenza lokhu? Njengoba amaqiniso efakazela—Cha! Kuyacaca ukuthi bonke phakathi eSodoma, ngaphandle kukaLoti, kwakuhlosiwe ukuthi babhujiswa futhi ngabantu ababekufanele ukubhujiswa.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 105)

UGenesise 19:1-11  Kwase kufika izingelosi ezimbili eSodoma sekuhwalele; uLoti yena wayehleli esangweni laseSodoma: wathi uLoti ezibona wasukuma ukuba azihlangabeze; wayesekhothama emhlabathini ubuso bakhe bubheke phansi; futhi wathi, bhekani manje, makhosi ami, ake nichezuke, ningene endlini yenceku yenu, nichithe ubusuku bonke, futhi nihlanze izinyawo zenu, bese nivuka ekuseni, nihambe izindlela zenu. Zase zithi, Cha; siyakuchitha ubusuku bonke emgwaqweni. Futhi wazincenga kakhulu, zaze zachezukela kuye, futhi zangena endlini yakhe, wase ezenzela idili, wazenzela isinkwa esingenayo imvubelo, zase zidla. Kodwa phambi kokuba zilale, amadoda edolobha, ngisho namadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha kanye namadala, abantu bonke abavela nxazonke: Base bembiza uLoti, bathi kuye, Aphi la madoda angene endlini yakho kusihlwa na? silethele wona, ukuze siwazi. ULoti waphumela ngaphandle kubona emnyango, wase evala umnyango emva kwakhe. Wase ethi, Ngiyanincenga, bafowethu, ningenzi okubi. Bhekani manje, nginamadodakazi amabili angayazi indoda, ngiyanincenga, ake nginikhiphele wona, futhi nenze kuwo okufanele emehlweni enu: kodwa ningenzi lutho kula madoda, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami. Base bethi, Deda. Baphinda futhi bathi, lo muntu oyedwa ufike ezongenisa, futhi ufuna ukwahlulela: manje siyakukuhlupha kakhulu wena kunabo. Base bemcindezela kakhulu lo muntu, ngisho noLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango. Kodwa amadoda alula izandla, futhi amdonsela endlini kuwo uLoti, ase evala umnyango. Zase zishaya amadoda ayesemnyango wendlu ngobumpumputhe, amadala kanye namancane: afuna umnyango aze akhathala.

UGenesise 19:24-25  Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma neGomora isibabuli nomlilo futhi kuvela kuJehova ezulwini; futhi wachitha lawo madolobha, nalo lonke ithafa, nabo bonke abakhe emadolobheni, nalokho okuhluma emhlabathini.

ISodoma Iyaqothulwa Ngokuvusa Intukuthelo KaNkulunkulu

Uma abantu baseSodoma bebona lezi zinceku ezimbili, abazange babuze isizathu sokufika kwazo, futhi akekho nowabuza ukuthi ingabe babefike ukuzosabalalisa intando kaNkulunkulu na? Kunalokho, benza iviyo, futhi, ngaphandle kokulinda incazelo, bafika ukuzobamba lezi zinceku njengezinja zasendle noma izimpisi ezinonya. Ingabe wazibuka uNkulunkulu lezi zinto ngesikhathi zenzeka? Wayecabangani uNkulunkulu enhliziyweni Yakhe ngalolu hlobo lokuziphatha kwabantu, ngale ndlela? UNkulunkulu wanquma ukuwubhubhisa lo muzi; akabange esanqikaza noma alinde, futhi wayengeke aqhubeke nokubekezela. Usuku Lwakhe lwase lufikile, futhi waqhubeka nomsebenzi ayefisa ukuwenza. Ngakho, UGenesise 19:24-25 uthi, “Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma neGomora isibabuli nomlilo futhi kuvela kuJehova ezulwini; Futhi wachitha lawo madolobha, nalo lonke ithafa, nabo bonke abakhe emadolobheni, nalokho okuhluma emhlabathini.” La mavesi amabili atshela abantu indlela uNkulunkulu abhubhisa ngayo lo muzi: itshela abantu futhi ukuthi uNkulunkulu wabhubhisani. Okokuqala, iBhayibheli liyasilandisa ukuthi uNkulunkulu washisa umuzi ngomlilo, futhi nokuthi izinga lo mlilo lalilikhulu ngokuthi labhubhisa bonke abantu nalokho okumile emhlabathini. Okungukuthi, umlilo owehla ezulwini awuzange nje ubhubhise umuzi; wabhubhisa kanye nabo bonke abantu nezinto eziphilayo kuwo, wabhubhisa konke ngaphandle kokushiya ngisho umucu. Emuva kokuthi umuzi sewubhujisiwe, izwe lalingenalutho oluphilayo kulo. Kwakungasekho mpilo, noma ngisho izimpawu zako. Umuzi wawusuphenduke ihlane, indawo engenalutho, okuthule kuyo kuthe du. Kwakungeke kusaba khona izenzo ezimbi ezimelene noNkulunkulu kule ndawo; kwakungeke kusaba khona ukubulala noma ukuchithwa kwegazi.

Kungani uNkulunkulu afuna ukuwushisa nya lo muzi? Nibonani lapha? Ingabe uNkulunkulu wayengakwazi ukubuka isintu kanye nemvelo, indalo Yakhe Uqobo, kubhujiswe ngalolu hlobo? Uma ukwazi ukubona intukuthelo kaNkulunkulu emlilweni owehliswa ezulwini, ngakho akukho nzima ukubona izinga lolaka Lwakhe kulokho Ayehlose ukukubhubhisa kanye nangezinga umuzi owabhujiswa ngalo. Uma uNkulunkulu enengwa umuzi, uletha isijeziso phezu kwawo. Kepha, lapho uNkulunkulu esenengekile ngomuzi, uletha izixwayiso eziningi azise abantu ngentukuthelo Yakhe. Kodwa lapho uNkulunkulu enquma ukuqeda nokubhubhisa umuzi—okungukuthi, lapho ulaka nobukhosi Bakhe sebucasuliwe—akabe esakhipha zijeziso noma izexwayiso. Esikhundleni salokho, uzowubhubhisa manjalo. Uzowuqotha ushabalale nya. Lokhu isimo sikaNkulunkulu esilungileyo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 106)

UGenesise 19:1-11  Kwase kufika izingelosi ezimbili eSodoma sekuhwalele; uLoti yena wayehleli esangweni laseSodoma: wathi uLoti ezibona wasukuma ukuba azihlangabeze; wayesekhothama emhlabathini ubuso bakhe bubheke phansi; futhi wathi, bhekani manje, makhosi ami, ake nichezuke, ningene endlini yenceku yenu, nichithe ubusuku bonke, futhi nihlanze izinyawo zenu, bese nivuka ekuseni, nihambe izindlela zenu. Zase zithi, Cha; siyakuchitha ubusuku bonke emgwaqweni. Futhi wazincenga kakhulu, zaze zachezukela kuye, futhi zangena endlini yakhe, wase ezenzela idili, wazenzela isinkwa esingenayo imvubelo, zase zidla. Kodwa phambi kokuba zilale, amadoda edolobha, ngisho namadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha kanye namadala, abantu bonke abavela nxazonke: Base bembiza uLoti, bathi kuye, Aphi la madoda angene endlini yakho kusihlwa na? silethele wona, ukuze siwazi. ULoti waphumela ngaphandle kubona emnyango, wase evala umnyango emva kwakhe. Wase ethi, Ngiyanincenga, bafowethu, ningenzi okubi. Bhekani manje, nginamadodakazi amabili angayazi indoda, ngiyanincenga, ake nginikhiphele wona, futhi nenze kuwo okufanele emehlweni enu: kodwa ningenzi lutho kula madoda, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami. Base bethi, Deda. Baphinda futhi bathi, lo muntu oyedwa ufike ezongenisa, futhi ufuna ukwahlulela: manje siyakukuhlupha kakhulu wena kunabo. Base bemcindezela kakhulu lo muntu, ngisho noLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango. Kodwa amadoda alula izandla, futhi amdonsela endlini kuwo uLoti, ase evala umnyango. Zase zishaya amadoda ayesemnyango wendlu ngobumpumputhe, amadala kanye namancane: afuna umnyango aze akhathala.

UGenesise 19:24-25  Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma neGomora isibabuli nomlilo futhi kuvela kuJehova ezulwini; futhi wachitha lawo madolobha, nalo lonke ithafa, nabo bonke abakhe emadolobheni, nalokho okuhluma emhlabathini.

Emuva Kokuphindelela KweSodoma Limelana Naye Futhi Limzonda, UNkulunkulu Uyalibhubhisa Uliqeda Nya

Uma sibuka ngamehlo obuntu, iSodoma kwakuwumuzi owawukwazi ukwanelisa izifiso zomuntu nobubi bomuntu. Wawuheha, uloya, ngomculo nombhiyozo wokudansa ubusuku ngobusuku, ukunethezeka kwawo kwaholela amadoda ukuba ahuheke futhi ahlanye. Ububi baso badla izinhliziyo zabantu kwabaloya bawela enkohlakalweni. Lona umuzi lapho imimoya engcolile nemimoya emibi yayichanasa khona; wawugcwele phama isono nokubulala futhi wembozwe iphunga elinuka ukubola negazi. Kwabe kungumuzi onyantisa igazi, umuzi umuntu ayewuhlehlela angafuni ukusondela. Akekho kulo muzi owesilisa noma owesifazane, omncane noma omdala—owafuna indlela yeqiniso; akekho owayelangazelele ukukhanya noma owayefisa ukushiya phansi isono. Babephila ngaphansi kokulawula, inkohlakalo nenkohliso. Base belahlekelwe ubuntu babo; babelahlekelwe imiqondo yabo, futhi base belahlekelwe inhloso yokuba khona komuntu, yokuqala. Benza izenzo ezimbi ezinganakubalwa zokumelana noNkulunkulu ezingenakubalwa; bakunqaba ukuqondisa Kwakhe futhi bamelana nentando Yakhe. Kwakuyizenzo zabo ezimbi ezafaka laba bantu, umuzi kanye nayo yonke into ephilayo kuwo, igxathu ngegxathu, endleleni eya ekubhujisweni.

Noma lezi ziqephu ezimbili zingasho imininingwane echaza izinga lokukhohlakala kwabantu baseSodoma, esikhundleni salokho zibhala ngokuziphatha kwabo ezithunyweni zikaNkulunkulu, emuva kokufika kwabo emzini, iqiniso elisobala lingakhombisa izinga abantu baseSodoma ababekhohlakele, bebabi futhi bemelene noNkulunkulu ngayo. Ngalokhu, ubuso nengqikithi yangempela yabantu balo muzi yadaluleka. Hhayi nje ukuthi abazange bemukele izexwayiso zikaNkulunkulu, babengakusabi futhi ukujezisa Kwakhe kunalokho, bayishaya indiva intukuthelo kaNkulunkulu. Bamelana noNkulunkulu ngenkani ongathi izimpumputhe. Akukhathaleki ukuthi wayenzani noma eyenza kanjani, imvelo yabo enonya yavele yanyukela kunakuqala futhi bamelana noNkulunkulu bephindelela. Abantu baseSodoma babenobutha nobukhona bukaNkulunkulu, ukuza Kwakhe, isijeziso Sakhe, kanye nakakhulukazi, izexwayiso Zakhe. Babengaboni lutho oluhle phakathi kwabo. Babeshwabadela futhi balimaza bonke abantu ababengabashwadela futhi babalimaze, futhi wawungekho umehluko endleleni ababephethe ngayo izinceku zikaNkulunkulu. Mayelana nazo zonke izenzo ezimbi ezenziwa abantu baseSodoma, ukulimaza izinceku zikaNkulunkulu kwabe kuyisicongo nje sentaba yeqhwa, kanti nemvelo yabo ekhohlakele eyavezwa yilokhu, yayilingana cishe neconsi nje olwandle olubanzi. Ngakho-ke uNkulunkulu wakhetha ukubabhubhisa ngomlimo. UNkulunkulu akasebenzisanga uzamcolo, akasebenzisanga isiphepho, ukuzamazama komhlaba, itsunami noma inoma iyiphi enye indlela ukubhubhisa umuzi. Kwabe kuchaza ukuthini ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo ukubhubhisa lo muzi? Kwakuchaza ukubhujiswa okuphelele kwalowo muzi; kwakuchaza ukuthi umuzi wanyamalala ngokuphelele emhlabeni nasekubeni khona. Lapha, “ukubhujiswa” akuchazi nje ukunyamalala kokuma, nesakhiwo noma ukubukeka kwangaphandle komuzi; kwakuchaza nokuthi imiphefumulo yabantu babengaphakathi komuzi yashabalala, ngenxa yokubhujiswa ngokuphelele. Ngamafuphi, bonke abantu, izigameko kanye nezinto eziphathelene nomuzi zabhujiswa. Kwakungeke kube khona ukuphila okulandelayo noma ukuzalwa ngokusha komunye umzimba kubona; uNkulunkulu wayekususe ngokuphelele kubantu, indalo Yakhe, ingunaphakade. “Ukusetshenziswa komlilo” kwakuchaza ukuma kwesono, futhi kwakusho isiphetho sesono; leso sono sasingeke sisaba khona noma sisabalale. Kwakusho ukuthi ububi bukaSathane babulahlekelwe inhlabathi yabo ebondlayo kanye nasemathuneni lapho base buthole khona imvume yokuhlala nokuphila. Empini phakathi kukaNkulunkulu noSathane, ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo uphawu lukaNkulunkulu lokunqoba, uSathane abekwa uphawu ngalo. Ukubhujiswa kweSodoma kuyimbuyiselamuva enkulu ekuzimiseleni kukaSathane ukumelana noNkulunkulu ngokonakalisa nokushwabadela abantu, futhi ngokufanayo kuwuphawu oludumazayo lwesikhathi ekuthuthukeni kwesintu, lapho umuntu enqaba ukuqondiswa uNkulunkulu wazinikela ekonakaleni. Ngokungaphezu kwalokho, kuwumbhalo wokwembuleka ngeqiniso lesimo esilungile sikaNkulunkulu.

Lapho umlilo uNkulunkulu awuthumela usuka ezulwini usuqothule iSodoma kwangasala lutho nje ngaphandle komlotha, kwakusho ukuthi umuzi obizwa ngokuthi “Sodoma” wawuyoyeka ukuba khona, njengakho konke ngaphakathi komuzi uqobo. Wabhujiswa intukuthelo kaNkulunkulu; wanyamalala ngaphansi kolaka nobukhosi bukaNkulunkulu. Ngenxa yesimo sikaNkulunkulu esilungile, iSodoma yathola isijeziso sayo esiyilungele; ngenxa yesimo sikaNkulunkulu esilungile, yathola isiphetho esiyilungele. Ukushabalala kokuba khona kweSodoma kwakungenxa yobubi bayo, kwakungenxa yesifiso sikaNkulunkulu ukuthi angaphinde ayibone, noma abone inoma ibaphi abantu ababekade bekuyo noma iyiphi impahla eyayikade ikhulele kulo muzi. “Isifiso sikaNkulunkulu sokuthi angaphinde awubone lo muzi” wulaka Lakhe, kanye nobukhosi Bakhe. UNkulunkulu wawushisa umuzi ngenxa yokuthi ububi nesono sawo kwamenza Wezwa intukuthelo, ukunyanya kanye nokunengeka mayelana nawo futhi wafisa ukuthi angaphinde awubone wona noma nabantu nakho konke okuphilayo okuhlala kuwo. Emuva kokuthi umuzi sewushe wangqongqa, kwasala umlotha nje, wase ungasekho ngempela emehlweni kaNkulunkulu; ngisho izinkumbulo Zakhe ngawo, zasulwa. Lokhu kusho ukuthi umlilo owawuthunyelwe usuka ezulwini awuzange nje uqothule kuphela wonke umuzi waseSodoma kanye nabantu bakhona abagcwele izono, futhi awuzange nje ubhubhise zonke izinto ngaphakathi komuzi ezazingcoliswe isono, ngaphezu kwalokho, lo mlilo wabhubhisa izinkumbulo zobubi besintu nokumelana noNkulunkulu. Lokhu kwabe kuyinhloso kaNkulunkulu ngokushisa umuzi.

Isintu sase sonakaliswe kwaze kweqa. Babengazi ukuthi uNkulunkulu ngubani noma babevele kuphi. Uma uphatha uNkulunkulu laba bantu babegasela, banyunde futhi bahlambalaze. Ngisho noma izinceku zikaNkulunkulu zazifikile ukuzomemezela isexwayiso Sakhe, laba bantu abazange nje kuphela bangabonakalisi zimpawu zokuzisola; abazange bakulahle ukuziphatha ngendlela ekhohlakele. Esikhundleni salokho, balimaza izinceku zikaNkulunkulu ngokweyisa. Abakukhombisa nabakuveza kwabe kuyimvelo nobukhona babo obunobutha obudlulele noNkulunkulu. Siyabona ukuthi ukumelana noNkulunkulu kwalaba bantu abonakele, kwabe kukukhulu kunokwembulwa kwesimo sabo esonakele, njengoba kwabe kukukhulu kunesigameko esisodwa nje sokunyundela noma ukubhuqa okusuka ekusweleni ukuqonda ngeqiniso. Kwabe kungebona ubulima noma ukungabi nalwazi okwakudala ukuziphatha ngokukhohlakala kwabo; kwakungekhona ukuthi laba bantu babekhohlisiwe, futhi kwabe kungesikhona ukuthi babedukisiwe. Ukuziphatha kwabo kwase kufike ezingeni lokuphikisana, ukumelana kanye nobuyaluyalu noNkulunkulu, okwakunokweyisa okusobala. Ngaphandle kokungabaza, lolu hlobo lokuziphatha komuntu kwakuzovusa ulaka lukaNkulunkulu, futhi kuvuse ulaka lwesimo Sakhe—isimo okungafanele sicasulwe. Ngakho-ke, uNkulunkulu wadedela ngqo futhi nangokusobala ulaka Lwakhe nobukhosi Bakhe; lokhu ukwembulwa ngeqiniso kwesimo sakhe esilungile. Ebhekene nomuzi owabe uchichima yisono, uNkulunkulu wafisa ukuwubhubhisa ngendlela esheshayo kakhulu kunezinye; wayefisa ukuqothula abaqede abantu abakuwo kanye nazo zonke izono zabo ngendlela ephelele kakhulu, ukwenza abantu balo muzi ukuthi bangabi sabakhona kanye nokuvimba isono esabe singaphakathi ukuthi sichume sande. Indlela eyabe ishesha futhi iphelele yokwenza lokhu kwabe kuwukushisa ngomlilo. Umbono kaNkulunkulu ngabantu baseSodoma kwabe kungesona esokubashiya noma ukungabakhathaleli; kunalokho, wasebenzisa ulaka, nobukhosi negunya Lakhe ukujezisa, ukuvithiza nokubabhubhisa nya laba bantu. Umbono Wakhe ngabo kwakungesona kuphela esokubabhubhisa ngokomzimba kuphela, kodwa kwabe kungukubhubhiswa komphefumulo, ukushabalalisa okungunaphakade. Yilokhu empeleni obekuqondwe isifiso sikaNkulunkulu ngabo ukuthi “bangabe besaba khona.”

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 107)

Nakuba Ulaka LukaNkulunkulu Lucashile Futhi Lungaziwa Umuntu, Alukumeli Ukoniwa

Impatho kaNkulunkulu yesintu esinobuwula nokungabi nalwazi sisonke, isekelwe isihe nokubekezelela. Ulaka Lwakhe, ngakolunye uhlangothi, lufihlekile esikhathini nasezintweni eziningi; alwaziwa umuntu. Ngenxa yalokho, kunzima kumuntu ukubona uNkulunkulu ekhombisa ulaka Lwakhe, futhi kunzima ukuqonda ulaka Lwakhe. Kunje nje, umuntu uluthatha kalula ulaka lukaNkulunkulu. Uma umuntu esebhekana nomsebenzi nesinyathelo sokugcina sikaNkulunkulu sokubekezelela nokuxolela umuntu—okungukuthi, lapho uNkulunkulu enza isenzo sokugcina sesihe nesexwayiso Sakhe sokugcina sifika kubona—uma besasebenzisa izindlela ezifanayo ukumelana noNkulunkulu futhi bengenzi mizamo yokuphenduka, baguqule izindlela zabo noma bemukele umusa Wakhe, uNkulunkulu ngeke esabapha ukubekezelelana nesineke Sakhe. Kunalokho, kungaleso sikhathi lapho uNkulunkulu eyohoxisa umusa Wakhe. Ngemva kwalokhu, uyothumela kuphela ulaka Lwakhe. Angakhombisa ulaka Lwakhe ngendlela ezehlukene, njengoba engasebenzisa izindlela ezihlukene ukujezisa nokubhubhisa abantu.

Ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo ukubhubhisa umuzi waseSodoma indlela Yakhe eshesha kakhulu yokushabalalisa isintu noma into. Ukushisa abantu baseSodoma kwabhubhisa okuningi kunemizimba yabo; kwabhubhisa imimoya yabo isiyonke, imiphefumulo kanye nemizimba, ukuqinisekisa ukuthi abantu abakulo muzi babengeke besaba khona ezweni elibonakalayo nasezweni elingabonakali kumuntu. Lena ngenye yezindlela uNkulunkulu aveza futhi akhombisa ngayo ulaka Lwakhe. Le ndlela yokuveza nokukhombisa ngenye yezingxenye zobukhona bolaka lukaNkulunkulu, njengoba ngokwemvelo futhi kuyisambulo sobukhona besimo esilungile sikaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ethumela ulaka Lwakhe, uyayeka ukuveza isihe noma uthando olunomusa futhi akabe esakhombisa ukubekezelelana noma isineke Sakhe; akukho muntu, into noma isizathu esingamenza ukuthi aqhubeke ukubekezela, ukupha umusa nokuphinda aphe ukubekezelelana Kwakhe futhi. Esikhundleni salezi zinto, ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu uzothumela ulaka nobukhosi Bakhe, enze lokho akufisayo, futhi uzozenza lezi zinto ngendlela esheshayo futhi ehlelekile ngokuhambisana nezifiso Zakhe. Lena yindlela uNkulunkulu athumela ngayo ulaka nobukhosi Bakhe, okungafanele umuntu ayinenge, futhi iyisibonakaliso sengxenye eyodwa yesimo esilungile Sakhe. Uma abantu bebona uNkulunkulu ekhathazekile futhi ekhombisa uthando kumuntu, abakwazi ukubona ulaka Lwakhe, babone ubukhosi Bakhe noma ukungabekezeleli Kwakhe isinengiso. Lezi zinto bezilokhu ziholela ukuthi abantu bakholwe ukuthi isimo esilungile sikaNkulunkulu esomusa, nokubekezelelana kanye nothando nje kuphela. Kepha, lapho umuntu ebona uNkulunkulu ebhubhisa umuzi noma enyanya isintu, ulaka Lwakhe lapho ebhubhisa umuntu kanye nobukhosi Bakhe, kuvumela abantu ukuthi babone lena enye ingxenye yesimo Sakhe esilungile. Lokhu ukungabekezelelani nesinengiso. Isimo sikaNkulunkulu esingabekezelelani nesinengiso sidlula ukucabanga ngamehlo engqondo anoma isiphi isidalwa esidaliwe, futhi phakathi kwezidalwa ezingadalwanga, asikho esikwazi ukusiphazamisa noma ukusithinta; ngaphezu kwalokho, akukho okungazenza sona noma kusilinganise. Ngakho, le ngxenye yesimo sikaNkulunkulu yileyo okufanele isintu siyazi kakhulu. UNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela onesimo esinje, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela onalo lolu hlobo lwesimo. UNkulunkulu unalolu hlobo lwesimo sokulunga ngoba uzonda inkohlakalo, ubumnyama, ubumbuka kanye nezenzo ezimbi zikaSathane—ukonisa nokushwabadela isintu—ngoba uzonda zonke izenzo zesono ezimelene Naye futhi ngenxa yobukhona Bakhe obungcwele nobumsulwa. Kungenxa yalokhu, ukuthi angavumeli noma isiphi isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga ukuthi simelane Naye ngembaba noma sibange Naye. Ngisho umuntu ake akhombisa umusa kuye, noma wamkhetha, udinga nje ukuthi achukuluze isimo Sakhe futhi aphambuke esimisweni Sakhe sesineke nokubekezelelana, futhi uzodedela futhi aveze isimo Sakhe esilungile ngaphandle kwesihe noma ukungabaza—isimo esingabekezelelani nesinengiso.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 108)

Ulaka LukaNkulunkulu Lungokokulonda Wonke Amandla Okulunga Kanye Nezinto Ezinhle Zonke

Ukungabekezelelani nesinengiso kukaNkulunkulu kungubukhona Bakhe obukhethekile; ulaka lukaNkulunkulu luyisimo Sakhe esikhethekile; ubukhosi bukaNkulunkulu bungubukhona Bakhe obukhethekile. Isimiso ngemuva kwentukuthelo kaNkulunkulu sikhombisa ubunjalo nesikhundla okunguyena yedwa onaso. Akudingi ukuthi umuntu asho ukuthi kubuye kube nguphawu lobukhona bukaNkulunkulu oyingqayizivele Uqobo Lwakhe. Isimo sikaNkulunkulu singubukhona obusemvelweni Bakhe. Asiguquki nhlobo ngokuhamba kwesikhathi, futhi asiguquki ngokuguquka kwendawo. Isimo Sakhe ngokwemvelo umongo wobukhona Bakhe. Akukhathaleki ukuthi umsebenzi Wakhe uwenza kubani, ubukhona Bakhe abuguquki, futhi nesimo Sakhe esilungile asiguquki. Uma umuntu ethukuthelisa uNkulunkulu, lokho akuthumelayo kuyisimo Sakhe semvelo; ngalesi sikhathi isimiso emuva kwentukuthelo Yakhe asiguquki, futhi nobuyena nesikhundla Sakhe akuguquki. Akathukutheli ngenxa yoguquko ebukhoneni Bakhe noma ngenxa yokuthi isimo Sakhe sesikhiphe izinto ezihlukile, kodwa ngenxa yesimo somuntu esinengisa isimo Sakhe. Ukucasula ngamabomu komuntu ecasula uNkulunkulu, kuyinselelo enzima kubunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma umuntu emphonsela inselelo, umuntu uyambangisa futhi uvivinya intukuthelo Yakhe. Uma umuntu emelana noNkulunkulu, uma umuntu ebanga noNkulunkulu, uma umuntu evivinya intukuthelo kaNkulunkulu ephindelela—okwenzeka futhi lapho abantu bephikelela benza isono umathanda—ulaka lukaNkulunkulu ngokwemvelo luyaziveza, lubonakale. Ngakho ukubonakalisa kukaNkulunkulu ulaka Lwakhe kuwuphawu lokuthi wonke amandla obumnyama ayoshabalala; kuwuphawu lokuthi wonke amandla obutha ayobhujiswa. Lokhu ubungqayizivele besimo esilungile sikaNkulunkulu futhi ngubungqayizivele bolaka lukaNkulunkulu. Uma isizotha nobungcwele bukaNkulunkulu buvivinywa, lapho amandla okulunga evinjelwa futhi engabonwa ngumuntu, uNkulunkulu uthumela ulaka Lwakhe. Ngenxa yobukhona bukaNkulunkulu, wonke la mandla emhlabeni abanga noNkulunkulu, amelana Naye futhi alwe Naye mabi, onakele futhi akalungile; asuka futhi kuSathane. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ulungile, ungowokukhanya futhi ungcwele ngokungenachashazi, konke okubi, okonakele futhi okukaSathane kuyonyamalala ngokudedelwa kolaka lukaNkulunkulu.

Noma ukuthululwa kolaka lukaNkulunkulu kuyingxenye eyodwa yokuvezwa yesimo Sakhe esilungile, intukuthelo kaNkulunkulu akuve kuwukuthi ayikhethi lapho iphokophele khona noma ayinawo umgomo. Ngokuphambene kunalokho, uNkulunkulu akasheshi ukuthukuthela impela, futhi akaluvezi ulaka Lwakhe nobukhosi Bakhe ngamawala. Ukwengeza kulokho, ulaka lukaNkulunkulu lungaphansi kolawulo olukhulu futhi lukaliwe; angeke ulufanise nendlela umuntu angabhodla ngolaka ngayo noma akhiphele intukuthelo yakhe. Izingxoxo eziningi zibhaliwe eBhayibhelini. Amazwi abanye balaba bantu ayekha phezulu, ekhombisa ukungabi nalwazi, kanye nobungane, kodwa uNkulunkulu akazange abashaye phansi, futhi akazange abasole. Ikakhulukazi, ngesikhathi sokulingwa kukaJobe, uNkulunkulu uJehova wabaphatha kanjani abangani abathathu baJobe kanye nabanye emuva kokuthi esezwile amazwi ababewakhuluma kuJobe? Wabasola? Wababhokela ngolaka na? Akazange enze lutho olunjalo! Kunalokho, watshela uJobe ukuthi abanxusele, abathandazele; uNkulunkulu, ngakolunye uhlangothi, akazange abambelele emaphutheni abo. Lezi zibonelo zonke zikhombisa umbono osemqoka uNkulunkulu athatha ngawo isintu esoniwe nesingenalwazi. Ngakho, ukudedelwa kolaka lukaNkulunkulu akuyona neze indlela yokukhombisa noma ukuzwakalisa isimo senhliziyo. Ulaka lukaNkulunkulu alukona ukuqhuma phezulu kolaka olukhulu njengoba umuntu ekuqonda. UNkulunkulu akathululi ulaka Lwakhe ngoba engakwazi ukulawula isimo senhliziyo Yakhe noma intukuthelo Yakhe seyifike lapho isibila khona futhi seyidinga intuba yokukhululeka. Kunalokho, ulaka Lwakhe lukhombisa isimo Sakhe esilungile kanye nokuzwakaliswa kwangempela kwesimo sakhe esilungile; kuwuphawu lokwembulwa kobukhona Bakhe obungcwele. Ulaka lukaNkulunkulu, olungabekezelelani nesinengiso—lokhu akusho ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu ayihlukanisi phakathi kwezizathu noma akunazimiyalo okumi phezu kwayo; isintu esoniwe esinemvume ngokomthetho ekhethekile yokuba nokudazuluka ngolaka okungenamqondo futhi okungena migomo, okungahlukanisi phakathi kwezizathu. Uma indoda isinesikhundla, ivama ukuthola kunzima ukulawula isimo senhliziyo sayo, ngakho iyaye ikuthokozele ukuthatha amathuba avelayo ukuzwakalisa ukunganeliseki kwayo nokuveza imizwa yayo; ivama ukuqhuma ngolaka ngaphandle kwesizathu esibonakalayo, ukuze iveze amandla ayo futhi yenze abanye bazi ukuthi isikhundla nobunjalo bayo buhlukile kunokwabantu abajwayelekile. Impela, abantu abakhohlakele abangenasikhundla bavamile ukuhluleka ukuzibamba. Ukuthukuthela kwabo kuvame ukudalwa ukonakala kwezinto abazizuzayo umuntu ngamunye. Ukuze bavikele isikhundla nesithunzi sabo, isintu esikhohlakele sivamile ukukhiphela obala imizwa yaso futhi baveze imvelo yabo eqhoshayo. Umuntu uzoqhuma ngolaka futhi akhiphele obala imizwa yakhe ukuze avikele ubukhona kwesono, futhi lezi zenzo izindlela umuntu akhombisa ngazo ukungeneliseki kwakhe; zichichima ukungcola, namaqhinga namacebo okuvumelana ngasese, nokukhohlakala nobubi bomuntu; Ngaphezu kwalokho, zigcwele ukuzimisela nezifiso zomuntu ezingalawuleki. Lapho ukulungiswa kubanga nenkohlakalo, umuntu ngeke avuke ngentukuthelo ukuvikela ukuba khona kobulungiswa; kunalokho uma amandla obulungiswa ephikiswa, ehlushwa futhi ehlaselwa, umbono wokushalaza nokuziba, ukugwema noma ukuhlasimula. Kepha, lapho ebhekene namandla obubi, umbono womuntu owokuhlinzeka okudingekayo, nokuzibhuqa othulini, nokuzincengela. Ngakho ukukhiphela obala komuntu kungukubalekela amandla obumnyama, ukubonakaliswa kokuziphatha kabi okunganqandeki nokudlangile komuntu ohamba ngokwenyama. Lapho uNkulunkulu ethumela intukuthelo Yakhe, kodwa, wonke amandla obubi ayophela; zonke izono zokulimaza umuntu ziyomiswa; wonke amandla anobutha avimbela umsebenzi kaNkulunkulu ayovezwa obala, ahlukaniswe futhi aqalekiswe; bonke abalekeleli baSathane abanesandla ekuphikiseni uNkulunkulu bayojeziswa, bakhishelwe ngaphandle. Endaweni yabo, umsebenzi kaNkulunkulu uyoqhubeka ungenazo izingqinamba; uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha luyoqhubeka lukhula isinyathelo ngesinyathelo ngokohlelo olubekiwe; abantu baNkulunkulu abakhethiweyo bayokhululeka ekuphazamiseni nenkohliso kaSathane; labo abalandela uNkulunkulu bayothokozela ukuholwa nokuhlinzekwa nguNkulunkulu ezindaweni ezinokuthula noxolo. Ulaka lukaNkulunkulu olokulonda nokuvimba wonke amandla obumnyama ukuba achume enze umathanda, futhi okokulonda okuvikela ubukhona nokwanda kwezinto zonke ezilungile nezinhle futhi kuzigade ingunaphakade ekucindezelweni nokuvukelwa.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 109)

Ingabe uyabubona ubukhona bolaka lukaNkulunkulu ekubhujisweni kweSodoma? Ikhona yini into ehlangene nolaka Lwakhe? Ulaka lukaNkulunkulu lumsulwa? Ukusebenzisa amazwi omuntu, ulaka lukaNkulunkulu alonakalisiwe? Kukhona iqhinga entukuthelweni Yakhe? Lukhona noma iluphi uzungu? Zikhona noma iziphi izimfihlo ezingekhulunywe? Ngingakutshela kanzima futhi ngesizotha ukuthi: Akukho ngxenye yolaka lukaNkulunkulu olungaholela umuntu ekungabazeni. Intukuthelo Yakhe intukuthelo emsulwa, engaxutshwe nalutho futhi ayifihli ezinye izinhloso noma imigomo. Isizathu sentukuthelo Yakhe simsulwa, asisoleki futhi singaphezu kokugxekwa. Kungukwembulwa kwemvelo nokukhonjiswa kobukhona Bakhe obungcwele; yinto engatholakali kunoma iziphi izidalwa. Lokhu ingxenye yesimo esilungile sikaNkulunkulu, futhi kungumahluko omkhulu phakathi kobukhona obuhlukene boMdali nendalo Yakhe.

Akukhathaleki ukuthi umuntu uthukuthela phambi kwabantu noma emuva kwabo, wonke umuntu unenhloso nesizathu esihlukile. Mhlawumbe bakha isithunzi sabo, noma mhlawumbe bavikela okungokwabo, noma bagcina esimeni ububona noma bagwema ihlazo. Abanye bayazibamba ekuthukutheleni kwabo, kepha abanye bathatha ngamawala kakhulu futhi baqhume ngolaka noma inini uma bethanda ngaphandle kokuzibamba nakancane. Ngamafuphi, intukuthelo yomuntu isuka esimweni sakhe esonakele. Ngisho noma iyini inhloso yayo, ingeyenyama nemvelo; ayihlanganise lutho nokulunga nokungalungi ngoba ayikho into emvelweni nasebukhoneni bomuntu ehambisana neqiniso. Ngakho, ulaka lwesintu esikhohlakele nolaka lukaNkulunkulu ngeke kuphathwe ngesikhathi esisodwa. Ngaphandle kokukhetha, ukuziphatha komuntu owonakaliswe nguSathane kuqala ngesifiso sokulonda inkohlakalo, futhi kusekelwe inkohlakalo; ngakho intukuthelo yomuntu ngeke iphathwe ngesikhathi esisodwa nolaka lukaNkulunkulu, ngisho noma kubukeka kufanele kangakanani uma ucabanga. Uma uNkulunkulu ethumela ulaka Lwakhe, amandla obumnyama ayanqandwa, izinto ezimbi ziyabhujiswa, kuthi izinto ezilungile nezinhle zithole ukunakekelwa nokuvikelwa nguNkulunkulu, futhi kuyavunyelwa ukuthi kuqhubeke. UNkulunkulu uthumela ulaka Lwakhe ngoba izinto ezingalunganga, eziphikisayo futhi ezimbi ziyavimba, ziphazamise, noma zichithe ukwenzeka okujwayelekile nokukhula kwezinto ezilungile nezinhle. Inhloso yentukuthelo kaNkulunkulu akukhona ukulonda isikhundla nobuyena Bakhe, kodwa ukulonda ukuba khona kwezinto ezilungile, eziyiqiniso, ezinhle futhi ezilungile, ukulonda imithetho nemigomo yokuphila okujwayelekile kwesintu. Lokhu umsuka wolaka lukaNkulunkulu. Ulaka lukaNkulunkulu luyisambulo esifanele kakhulu, esiyimvelo, futhi esiyiqiniso sesimo Sakhe. Akukho zinhloso ezinye emuva kolaka Lwakhe, futhi akukho ukukhohlisa noma ukuqamba amacebo; futhi ikakhulukazi, ulaka Lwakhe alunako ukufisa, ubuqili, unya, udlame, ububi nanoma yini enye sonke isintu esikhohlakele esinayo. Ngaphambi kokuthi uNkulunkulu athumele intukuthelo Yakhe, kuba kade useyiqondile ingqikithi yalo lonke udaba futhi esakhile izincazelo neziphetho eziqondile futhi ezicacile. Ngakho, injongo kaNkulunkulu kulo lonke udaba alwenzayo, icace bha, ngokunjalo umbono Wakhe. Akadidekile; akayona impumputhe; akenzi engacabanganga; akuve engenandaba; ngaphezu kwalokho, akuyena umuntu ongenamiyalo. Lokhu ingxenye ebonakalayo yolaka lukaNkulunkulu futhi kungenxa yale ngxenye ebonakalayo yolaka lukaNkulunkulu, ukuthi isintu sesithole ukuphila nokuba khona okujwayelekile. Ngaphandle kolaka lukaNkulunkulu, isintu singaphila ngaphansi kwesimo esingakulungelanga ukuphila; zonke izinto ezineqiniso, ezinhle nezilungile zingachithakala zingabe zisaba khona. Ngaphandle kolaka lukaNkulunkulu, imithetho nemiyalo elawula ukuphila kokudaliwe ingaphulwa noma iphendukezelwe ngokuphelele. Selokhu adala umuntu uNkulunkulu ubelokhu esebenzisa isimo Sakhe sokulunga ukulonda nokugcina ukuba khona okujwayelekile kwesintu. Ngenxa yokuthi isimo Sakhe esilungile sinolaka, nobukhosi, bonke abantu ababi, izinto, okuthile nazo zonke izinto eziphazamisa futhi zilimaze ubukhona obujwayelekile besintu, ziyajeziswa, zilawulwe futhi ziqothulwe ngenxa yolaka Lwakhe. Ezigidini zeminyaka eminingi edlule, uNkulunkulu ubelokhu eqhubeka ukusebenzisa isimo esilungile Sakhe ukushaya phansi futhi aqothule zonke izinhlobo zemimoya engcolile nemibi emelene noNkulunkulu futhi esebenza njengabalekeleli nezinceku zikaSathane emsebenzini kaNkulunkulu wokuphatha isintu. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu bewuhlala uhamba ngendlela yohlelo Lwakhe. Lokhu kungukuthi, ngenxa yokubakhona kolaka lukaNkulunkulu, imbangela elungile kakhulu kubantu ayikaze ichithakale.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 110)

Nakuba USathane Ebukeka Enobuntu, Elungile, Emuhle, Ubukhona Bakhe Bunonya NoBubi

USathane unqoba udumo ngokukhohlisa umphakathi. Uvame ukuzimisa njengemaphikankani nesibonelo sokulunga. Ezishaya njengomlondi wokulunga, ulimaza abantu, ashwabadele imiphefumulo yabo, asebenzise izinto eziningi ukwenza umuntu abe ndikindiki, amkhohlise futhi amhlohle amchukuluze. Umgomo wakhe ukwenza umuntu avumelane futhi alandele ukuziphatha kambi kwakhe, ukwenza umuntu amlandele ekumeleni igunya nobukhosi bukaNkulunkulu. Kepha, lapho umuntu esewahlakaniphela amaqhinga, amacebo kanye nokubukeka kabi kwakhe futhi engasafuni ukuqhubeka ukunyathelwa nokukhohliswa, noma ukuqhubeka abe yisigqila sakhe noma ajeziswe futhi abhubhiswe kanye naye, uSathane uyaguqula izici zakhe zobungcwelengcwele futhi adabule isembozo samanga, ukuveza ubuso bakhe bangempela obubi, obunonya, obumahlikihliki nobunobudlova. Ayikho into angayithanda ukudlula ukuqothula bonke labo abanqabayo ukumlandela futhi labo abamelene namandla obubi. Ngaleso sikhathi, uSathane akasakwazi ukuziveza enokubukeka okuthembekile kwencwasimende; kunalokho, izici zakhe zangempela ezimahlikihliki nezimbi ziyavela ngaphansi kwezingubo zemvu. Lapho amaqhinga kaSathane esevele obala, lapho izici zakhe zangempela sezivele obala, uvuka umbhejazane, avuke ngolaka, aveze unya lwakhe; isifiso sakhe sokulimaza nokushwabadela abantu siyakhula siqonge kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi kumvusa ulaka ukuphaphama komuntu; uba nesifiso esikhulu sokuziphindiselela kumuntu ngenxa yentshisekelo yabo ukulangazelela inkululeko kanye nokukhanya kanye nokukhululeka ejele lakhe. Ulaka lwakhe luhlose ukuvikela ububi bakhe, futhi luyisambulo sangempela semvelo yakhe enonya.

Kulo lonke udaba ngalunye, ukuziphatha kukaSathane kuveza obala imvelo yakhe embi. Ezenzweni zonke ezimbi uSathane ake wazenza kumuntu—kusukela emizamweni yakhe yasekuqaleni lapho ayezama ukudukisa umuntu ukuthi amlandele, ukuxhaphaza kwakhe umuntu, lapho edonsela umuntu ezenzweni zakhe ezimbi, kanye nokuziphindiselela kwaSathane kumuntu emuva kokuthi izici zakhe zangempela sezivele obala nomuntu esekubonile lokhu futhi wamshiya—asikho nesisodwa esihlulekayo ukudalula ingqikithi kaSathane embi; asikho nesisodwa esihlulekayo ukufakazela ukuthi uSathane akahlanganise lutho nezinto ezilungile; asikho nesisodwa esihlulekayo ukufakazela ukuthi uSathane umthombo wazo zonke izinto ezimbi. Zonke izenzo zakhe zilonda ububi bakhe, zigcina ukuqhubeka kwezenzo zakhe ezimbi, ziyaphambana kanye nezinto ezilungile nezinhle, zimosha imithetho nokuhleleka kwempilo ejwayelekile yesintu. Zinobutha noNkulunkulu, futhi ziyilokho ulaka lukaNkulunkulu oluzozibhubhisa. Nakuba uSathane enolwakhe ulaka, ulaka lwakhe luyindlela yokukhiphela ngaphandle imvelo yakhe embi. Isizathu sokuthi uSathane ecasukile futhi evuka indlobane yilokhu: amaqhinga akhe angakhulumeki asedaluliwe; amacebo akhe awaphumeleli kalula; ukuzimisela nesifiso Sakhe esidlangile sokuthatha indawo kaNkulunkulu nokuzenza uNkulunkulu sishaywe phansi savinjwa; umgomo wakhe wokulawula sonke isintu uphenduke ize manje futhi ngeke usaphinde wenzeke. Ukubiza kukaNkulunkulu ulaka Lwakhe ngokuphindelela, okumise amacebo kaSathane ukuthi afezeke futhi kwanqamula ukusabalala nokudlanga kobubi bukaSathane; ngakho, uSathane uyalusaba futhi uyaluzonda, kokubili, ulaka lukaNkulunkulu. Njalo, ukusetshenziswa kolaka lukaNkulunkulu akususi nje isembozo sokubukeka kukaSathane kwangempela okunyanyekayo; kudalula izifiso zikaSathane ekukhanyeni. Ngaso leso sikhathi ulaka lukaSathane analo ngesintu luvela obala ngokuphelele. Ukuqhuma kolaka lukaSathane kuyisambulo sangempela semvelo yakhe embi, kungukudalulwa kwamaqhinga akhe. Empeleni, sonke isikhathi lapho uSathane evuka ulaka, kubika ukuchithakala kwezinto ezimbi; kubika ukuvikeleka nokuqhubeka kwezinto ezilungile, futhi kubika imvelo yolaka lukaNkulunkulu—lolo olungeke lungengeke!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 111)

Umuntu Akufanele Athembele Ekuzizweleni Nasekuboneni Ngamehlo Engqondo Ukwazi Isimo sikaNkulunkulu Esilungile

Uma uzithola ubhekene nokwahlulela nokusolwa uNkulunkulu, uzothi izwi likaNkulunkulu lingcolisiwe? Uzothi kunendaba ethile ngemuva kolaka lukaNkulunkulu, nokuthi ulaka lwakhe lungcolisiwe? Uzomhleba uNkulunkulu, uthi isimo Sakhe asilunganga ngokuphelele? Uma ubhekana nazo zonke izenzo zikaNkulunkulu, kufanele ube nesiqiniseko ukuthi isimo esilungile sikaNkulunkulu sikhululekile kuzo zonke izakhi, ukuthi singcwele futhi asinasici; lezi zenzo zihlanganise ukushaya phansi kukaNkulunkulu, ukusola kanye nokubhubhisa isintu. Ngaphandle kokukhetha, zonke izenzo zikaNkulunkulu zenziwa ngokuhambisana nesimo Sakhe semvelo kanye nohlelo Lwakhe—lokhu akuhlangene nolwazi, amasiko nefilosofi yesintu—zonke izenzo zikaNkulunkulu ziwukuvezwa kwesimo nobukhona Bakhe, kungaxhumene nalutho lwesintu esikhohlakele. Emicabangweni yomuntu, kuphela uthando, nesihe, nokubekezelela isintu kukaNkulunkulu akunasici, akungcolisiwe futhi kungcwele. Kepha, akekho owaziyo ukuthi ulaka olusabisayo lukaNkulunkulu, kanye nolaka Lwakhe nalo ngokufana, alungcolisiwe; ngaphezu kwalokho, akekho oseke wacabanga ngemibuzo enjengokuthi kungani uNkulunkulu engabekezeleli isinengiso nhlobo, nokuthi kungani ulaka Lwakhe lulukhulu kangaka. Ngephutha, abanye bayaphambuka babone ulaka lukaNkulunkulu njengolaka lwesintu; baqonda intukuthelo kaNkulunkulu njengolaka lomuntu okhohlakele; ngephutha baze bacabangele ukuthi ulaka olukhulu lukaNkulunkulu, lufana ncamashi nokwembulwa kwemvelo kwesimo esikhohlakele somuntu. Ngephutha bakholwa ukuthi ukukhishwa kolaka lukaNkulunkulu kufana nse nentukuthelo yesintu okhohlakele, evela ekucasukeni; baze bakholwe ukuthi ukukhishwa kolaka lukaNkulunkulu kungukuvezwa kwesimo senhliziyo Yakhe. Emuva kwale ntshumayelo, ngethemba ukuthi nonke ngeke nisaba nemibono eyiphutha, imicabango yamehlo engqondo noma ukucabanga ngesimo esilungile sikaNkulunkulu. Futhi ngethemba ukuthi emuva kokuzwa amazwi Ami, nizoba nokuqonda ngolaka lwesimo esilungile sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, nokuthi ningabeka eceleni noma ikuphi ukuqonda okuyiphutha kwangaphambilini ngolaka lukaNkulunkulu, nokuthi ningaguqula izinkolelo nemibono yenu eyiphutha ngobukhona bolaka lukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ngethemba ukuthi nizoba nencazelo eqondile yesimo sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, ukuthi ngeke nisaba nokungabaza ngesimo sikaNkulunkulu esilungile, nokuthi ngeke niphoqelele nibeke ukucabangisisa nokubona ngamehlo engqondo komuntu, phezu kwesimo esilungile sikaNkulunkulu. Isimo esilungile sikaNkulunkulu ngubukhona bukaNkulunkulu bangempela. Akuyona into ebhalwe noma yakhiwa umuntu. Isimo esilungile Sakhe, yisimo esilungile Sakhe futhi asinabo ubudlelwano futhi asihlanganise lutho nanoma iyiphi indalo. UNkulunkulu Uqobo Lwakhe nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Akasoze aba yingxenye yendalo, futhi ngisho angaba yilunga phakathi kwezidalwa ezidaliwe, isimo nobukhona Bakhe bemvelo ngeke buguquke. Ngakho-ke, ukwazi uNkulunkulu akukona ukwazi into; akukona ukuhlinza into ethile, futhi akusikho ukuqonda umuntu. Uma umuntu esebenzisa umcabango noma indlela yakhe yokwazi into noma yokuqonda umuntu ukwazi uNkulunkulu, ngeke uze ukwazi ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu. Ukwazi uNkulunkulu akuncikile esipiliyonini noma ukubona ngamehlo engqondo, futhi yingakho kungafanele uphoqe ukubeka isipiliyoni noma ukubona kwakho ngamehlo engqondo, kuNkulunkulu. Akukhathaleki ukuthi sinothe kangakanani isipiliyoni noma ukucabanga kwakho ngamehlo engqondo, kusenemigomo; okudlula lokho, ukubona kwakho ngamehlo engqondo akuhambisani nezehlakalo, ingasaphathwa eyokuthi akuhambisani neqiniso, futhi akusebenzisani nesimo nobukhona bukaNkulunkulu bangempela. Awusoze waphumelela uma uthembela ekucabangeni kwakho ngamehlo engqondo ukuze uqonde ubukhona bukaNkulunkulu. Indlela okuyiyonayona ihamba kanje: yemukela konke lokho okuvela kuNkulunkulu, bese kancane kancane uyazizwela futhi ukuqonda kona. Kuzofika ilanga lapho uNkulunkulu eyokukhanyisela ukuze umqonde futhi umazi ngempela ngenxa yokubambisana kwakho Naye nangenxa yokulambela nokomela kwakho iqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 112)

Isexwayiso SikaNkulunkulu Sifinyelela KuBantu BaseNineve

Masiqhubeke siye endimeni yesibili, isahluko sesithathu seNcwadi kaJona: “Futhi uJona waqala ukungena edolobheni ngohambo losuku, wamemeza wayesethi: Ezinsukwini ezingamashumi amane, liyakuchithwa iNineve.” Lawa ngamazwi uNkulunkulu awadlulisa kuJona ngqo ukuba awatshele abaseNineve. Futhi ngamazwi, ngokwemvelo, uJehova ayefisa ukuwatshela abantu baseNineve. La mazwi atshela abantu ukuthi uNkulunkulu waqala ukwenyanya nokuzonda abantu balo muzi ngenxa yokuthi ukukhohlakala kwabo kwase kufinyelele emehlweni Akhe, ngakho wayefisa ukuwubhubhisa lo muzi. Kepha, ngaphambili kokuthi uNkulunkulu abhubhise umuzi, wayezokwenza isimemezelo kubantu baseNineve, futhi ngesikhathi esisodwa, wayezobanika ithuba lokuphenduka ekukhohlakaleni kwabo futhi baqale kabusha. Leli thuba lalizoba khona izinsuku ezingamshumi amane. Ngamanye amazwi, uma abantu ngaphakathi kwalo muzi babengaphenduki, bavume izono zabo noma baziphonse phansi phambili kukaNkulunkulu uJehova zingakapheli izinsuku ezingamashumi amane, uNkulunkulu wayezowubhubhisa umuzi njengoba enza eSodoma. Yilokhu uNkulunkulu uJehova ayefisa ukukutshela abantu baseNineve. Ngokusobala, lokhu kwabe kungesona isimemezelo esilula. Asikhombisanga kuphela intukuthelo kaNkulunkulu uJehova kodwa, sakhombisa umbono Wakhe ngabantu baseNineve; ngaleso sikhathi futhi lesi simemezelo esilula saba isexwayiso esinzima kubantu. Lesi sixwayiso sabatshela ukuthi izenzo zabo zokukhohlakala zase zibaholise ngokuzondwa uNkulunkulu uJehova, futhi kwabatshela ukuthi izenzo zabo zokukhohlakala zazizobaletha engcupheni yokubhujiswa; ngakho-ke izimpilo zabo bonke eNineve zazizulelwa ngamanqe.

UMahluko Omkhulu Phakathi Kokuphendula Kwabantu BaseNineve NabaseSodoma Esixwayisweni SikaNkulunkulu UJehova

Kuchaza ukuthini ukuchithwa? Ngamazwi alula, kuchaza ukunyamalala. Kodwa kanjani? Ubani owayengenza umuzi wonke unyamalale? Kungeke kwenzeke ukuba umuntu enze into enjalo, empeleni. Laba bantu babengezona iziwula; bathi bangasizwa lesi simemezelo, baqonda. Bazi ukuthi sasivele kuNkulunkulu; babazi ukuthi uNkulunkulu wabe ezokwenza umsebenzi Wakhe; bazi ukuthi ukukhohlakala kwabo kwase kuvuse ulaka lukaNkulunkulu uJehova futhi kwaletha intukuthelo Yakhe phezu kwabo, ngendlela yokuthi maduzane nje, base bezobhujiswa kanye nomuzi wabo. Baziphatha kanjani abantu balo muzi emuva kokulalela isexwayiso sikaNkulunkulu uJehova? IBhayibheli liyachaza ngemininingwane ethile ukuthi laba bantu baziphatha kanjani kusukela enkosini yabo kuya kumuntu ovamile. Njengoba kubhaliwe emiBhalweni: “Ngakho abantu baseNineve bakholwa uNkulunkulu, futhi bamemezela ukuzila, base bembatha indwangu yamasaka, kusukela kwabadala babo kuya kwabancane kunabo bonke. Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, futhi yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yabeka ingubo yayo, futhi yazimboza ngendwangu yamasaka, yase ihlala emlotheni. Yaze yamemezela futhi yatshela iNinive ngomthetho wenkosi nabakhulu bayo, yathi, makungabi bikho muntu noma isilwane, umhlambi wezinkomo noma owezimvu onambitha utho, mabangadli lutho futhi bangaphuzi manzi: Kepha abantu nezilwane mabambozwe ngendwangu yamasaka, futhi kukhalwe kakhulu kuNkulunkulu: yebo, kuphenduke wonke umuntu endleleni yakhe embi, nasebudloveni obusezandleni zabo. …”

Emuva kokuzwa isimemezelo sikaNkulunkulu uJehova, abantu baseNineve baba nombono ohlukile kunabantu baseSodoma—abantu baseSodoma baphikisana noNkulunkulu obala, baqhubekela phambili besuka ebubini beya ebubini, kodwa emuva kokuzwa la magama, abantu baseNineve abazange bayizibe indaba, noma baphike ngenkani; esikhundleni salokho bakholwa nguNkulunkulu bamemezela ukuzila. Kuchaza ukuthini ukuthi “bakholwa” lapha? Igama lilodwa lisho ukholo nokuzithoba. Uma sisebenzisa ukuziphatha kwabantu baseNineve uqobo ukuchaza leli gama, kuchaza ukuthi bakholwa ukuthi uNkulunkulu wayengakwazi futhi wayezokwenza njengoba eshilo nokuthi babezimisele ukuphenduka. Abantu baseNineve bafikelwa ukwesaba ebusweni benhlekelele enkulu eseduze kakhulu? Inkolelo yabo yafaka ukwesaba ezinhliziyweni zabo. Ngakho singasebenzisani ukufakazela inkolelo nokwesaba kwabantu baseNineve? Kunjengoba iBhayibheli lisho: “bamemezela ukuzila, base bembatha indwangu yamasaka, kusukela kwabadala babo kuya kwabancane kunabo bonke.” Lokhu kusho ukuthi abaseNineve bakholwa, nokuthi kusuka kuleyo nkolelo, kwafika ukwesaba, okwabaholela ekuzileni nokugqoka indwangu yamasaka. Bakukhombisa kanje ukuqala kokuphenduka kwabo. Ngendlela ehluke ngokuphelele kunabantu baseSodoma, abantu baseNineve abazange nje kuphela bangaphikisani noNkulunkulu, kodwa futhi bakhombisa ngokusobala ukuzisola kwabo nokuphenduka ngokuziphatha nangezenzo zabo. Empeleni lokhu akuzange kwenziwe ngabantu abajwayelekile baseNineve kuphela; nenkosi yabo yenza ngokufanayo.

Ukuphenduka KweNkosi YaseNineve Kunqoba Ukunconywa NguNkulunkulu

Kwathi lapho inkosi yaseNineve izwa lezi zindaba, yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yagqoka indwangu yamasaka futhi yahlala emlotheni. Yabe isimemezela ukuthi akukho muntu kulo muzi owayezovunyelwa ukuthi adle noma yini kanye nokuthi akukho mfuyo, izimvu kanye nezinkunzi azazivunyelwe ukudla noma ukuphuza amanzi. Abantu kanye nemfuyo bonke kwakufanele kumbathe indwangu yamasaka; abantu babezoncenga ngokukhuthazela uNkulunkulu. Inkosi yamemeza futhi ukuthi bonke babezozishiya izindlela zabo ezimbi bashiye nobudlova ezandleni zabo. Uma sahlulela ngokubuka ukulandelana kwezigameko, inkosi yaseNineve yakhombisa ukuphenduka okuvela enhliziyweni. Uchungechunge lwezenzo azithatha—ukusukuma esihlalweni sakhe sobukhosi, ukulahla izingubo zakhe zobukhosi, ukugqoka indwangu yamasaka nokuhlala emlotheni—kutshela abantu ukuthi inkosi yaseNineve yabeka eceleni isikhundla sayo sobukhosi yagqoka indwangu yamasaka kanye nabantu abajwayelekile. Lokhu kusho ukuthi inkosi yaseNineve ayizange ihlale esihlalweni sayo sobukhosi ukuqhubeka nezindlela zayo ezimbi noma ubudlova ezandleni zayo emuva kokuzwa isimemezelo esivela kuNkulunkulu uJehova; kunalokho, wabeka eceleni igunya abe enalo futhi waphenduka phambi kukaNkulunkulu uJehova. Ngalo mzuzu, inkosi yaseNineve yayingaphenduki njengenkosi; yayize phambi kukaNkulunkulu ukuzovuma nokuphenduka ezonweni zayo njengesikhonzi esijwayelekile sikaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, yatshela umuzi wonke ukuthi uvume izono futhi uphenduke phambi kwaNkulunkulu uJehova ngendlela efana neyayo; Ukwengeza kulokho, yayinohlelo oluthize lokuthi kungenziwa kanjani lokhu, njengoba sibona eMbhalweni: “Makungabi bikho muntu noma isilwane, umhlambi wezinkomo noma owezimvu onambitha utho, mabangadli lutho futhi bangaphuzi manzi: … futhi bakhale kakhulu kuNkulunkulu: yebo, kuphenduke wonke umuntu endleleni yakhe embi, nasebudloveni obusezandleni zabo.” Njengombusi womuzi, inkosi yaseNineve yabe inesikhundla esiphakeme namandla kunabo bonke futhi yayingenza noma yini eyithandayo. Lapho ibhekene nesimemezelo sikaNkulunkulu uJehova, yayengayiziba le ndaba noma iphenduke futhi ivume izono zayo iyodwa; noma abantu bakulo muzi babekhethe ukuphenduka, noma cha, wayengayiziba le ndaba ngokuphelele. Kepha, inkosi yaseNineve ayizange neze ikwenze lokho. Ayizange isukume esihlalweni sayo sobukhosi kuphela, imbathe indwangu yamasaka nomlotha, futhi ivume, iphenduke ezonweni zayo phambi kukaNkulunkulu uJehova, kodwa yayala bonke abantu nemfuyo kulo muzi ukuthi benze njalo. Yaze yayala abantu ukuthi “bakhale kakhulu kuNkulunkulu.” Ngalolu chungechunge lwezenzo, inkosi yaseNinive yafeza lokho umbusi ekufanele akwenze; uchungechunge lwezenzo zayo lwabe lunzima ukuthi inoma iyiphi inkosi emlandweni wesintu ilwenze futhi akekho owake walwenza. Lezi zenzo kungathiwa izenzo ezingakaze zibekhona emlandweni wesintu; zifanele ukuthi zikhunjulwe futhi zilingiswe yisintu. Selokhu kwaba khona umuntu, wonke amakhosi ayehole abantu bawo ukuba bamelane futhi baphikise uNkulunkulu. Ayikho eyake yahola abantu bayo ukuba bancenge uNkulunkulu ukufuna ukuhlengwa ngenxa yokukhohlakala kwabo, ukuthola ukuxolelwa nguNkulunkulu uJehova nokugwema ukujeziswa okwabe sekuseduze. Inkosi yaseNineve, kodwa, yakwazi ukuhola abantu bayo ukubuyela kuNkulunkulu, ukushiya izindlela zabo ezihlukene ezimbi kanye nokulahla ubudlova ezandleni zabo. Ngaphezu kwalokho, wakwazi ukubeka eceleni isihlalo sakhe sobukhosi, futhi, njengomvuzo, uNkulunkulu wajika futhi waphenduka futhi wahoxisa intukuthelo Yakhe, wabavumela abantu bakulo muzi ukuthi basinde futhi wabagcina ukuthi bangabhubhi. Izenzo zenkosi kungathiwa isimangaliso esingavamile emlandweni wesintu; zingabizwa nangokuthi ziyisibonelo sesintu esikhohlakele sivuma futhi siphenduka ezonweni zaso phambili kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 113)

UJona 3 Futhi izwi likaJehova lafika kuJona okwesibili, lathi, Suka, uye eNineve, idolobha elikhulu, ushumayele kulo intshumayelo engiyethula kuwe. Ngakho uJona wayesesuka, futhi waya eNineve, njengokwezwi likaJehova. Manje iNineve yayiyidolobha elikhulu lohambo lwezinsuku ezintathu. Futhi uJona waqala ukungena edolobheni ngohambo losuku, wamemeza wayesethi: Ezinsukwini ezingamashumi amane, liyakuchithwa iNineve. Ngakho abantu baseNineve bakholwa uNkulunkulu, futhi bamemezela ukuzila, base bembatha indwangu yamasaka, kusukela kwabadala babo kuya kwabancane kunabo bonke. Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, futhi yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yabeka ingubo yayo, futhi yazimboza ngendwangu yamasaka, yase ihlala emlotheni. Yaze yamemezela futhi yatshela iNinive ngomthetho wenkosi nabakhulu bayo, yathi, makungabi bikho muntu noma isilwane, umhlambi wezinkomo noma owezimvu onambitha utho, mabangadli lutho futhi bangaphuzi manzi: Kepha abantu nezilwane mabambozwe ngendwangu yamasaka, futhi kukhalwe kakhulu kuNkulunkulu: yebo, kuphenduke wonke umuntu endleleni yakhe embi, nasebudloveni obusezandleni zabo. Ngubani owaziyo ukuthi uNkulunkulu engabuya futhi azisole, futhi adede ekufutheni kwentukuthelo Yakhe, ukuthi singabhubhi na? Lapho uNkulunkulu wase ebona izenzo zabo, ukuthi babuyile endleleni yabo embi; uNkulunkulu wase eguquka kokubi, ayesekushilo ukuthi uzokwenza kubo; futhi akabange esakwenza.

UNkulunkulu Uyakubona Ukuphenduka Kweqiniso Ekujuleni Kwezinhliziyo Zabantu BaseNineve

Ngemva kokulalela isimemezelo sikaNkulunkulu, inkosi yaseNineve nabantu bayo benza izigameko eziwuchungechunge. Luyini uhlobo lokuziphatha nezenzo zabo? Ngamanye amazwi, yini ingqikithi yakho konke ukuziphatha kwabo? Kungani benza lokho abakwenza? Emehlweni kaNkulunkulu babephenduke ngokweqiniso, hhayi kuphela ngoba babekade bencenge ngeqiniso uNkulunkulu futhi bavuma izono zabo phambi Kwakhe, kodwa ngenxa yokuthi babeyishiye phansi imikhuba nezinto ababezenza. Benza njalo ngoba emuva kokuzwa amazwi kaNkulunkulu, baba nokwesaba okumangalisayo futhi bakholwa ukuthi wayezokwenza njengoba eshilo. Ngokuzila ukudla nokuphuzwayo, ukumbatha indwangu yamasaka kanye nokuhlala emlotheni, babefisa ukukhombisa ukuzimisela kwabo ukuguqula izindlela zabo, bayeke ukukhohlakala, ukuthandaza kuNkulunkulu uJehova ukuba ehlise ulaka Lwakhe, ukuncenga uNkulunkulu uJehova ukuba ahoxise isinqumo Sakhe kanye nenhlekelele eyayizobehlela. Ngokuhlola konke abakwenza siyabona ukuthi babeqonda ukuthi izenzo zabo zokukhohlakala zangaphambilini zazinengeka kuNkulunkulu uJehova futhi babeqonda isizathu ayezobabhubhisela sona maduzane. Ngalezi zizathu, bafisa bonke ukuphenduka ngokuphelele, ukushiya izindlela zabo ezimbi nokulahla ubudlova ezandleni zabo. Ngamanye amazwi, bathi bangezwa ngesimemezelo sikaNkulunkulu, bonke, ngamunye ngamunye bafikelwa ukwesaba ezinhliziyweni zabo, ababange besaqhubeka nokuziphatha okukhohlakele futhi abaqhubekanga benza lezo zenzo ezazizondwa nguNkulunkulu uJehova. Ukwengeza, bancenga uNkulunkulu uJehova ukuba abaxolele izono zabo zangaphambilini futhi nokuthi angabaphathi ngendlela ebafanele ngenxa yezenzo zabo ezimbi. Babezimisele ukuthi bangaphinde benze ukukhohlakala futhi benze ngendlela eshiwo uNkulunkulu uJehova, ukuze nje bangaphinde bacasule uNkulunkulu uJehova. Ukuphenduka kwabo kwabe kusuka enhliziyweni futhi kuphelele. Kwakuvela ekujuleni kwezinhliziyo zabo futhi kwakungekhona okokuzenzisa futhi kwakungekona okwesikhashana.

Lapho abantu baseNineve, kusuka enkosini yabo ephakeme kuya kubantu bayo, sebezwile ukuthi uNkulunkulu uJehova wayebathukuthelele, zonke izenzo zabo, nakho konke ukuziphatha kwabo, kanye nazo zonke izinqumo nekukhetha kwabo kwakucacile futhi kusobala emehlweni kaNkulunkulu. Inhliziyo kaNkulunkulu yaguquka ngenxa yokuziphatha kwabo. Kwakunjani ukucabanga kwabo ngoNkulunkulu ngaleso sikhathi? IBhayibheli lingakuphendulela lowo mbuzo. Njengoba kubhaliwe kuMbhalo: “Futhi uNkulunkulu wayesebona izenzo zabo, ukuthi babuyile endleleni yabo embi; uNkulunkulu wase eguquka kokubi, ayesekushilo ukuthi uzokwenza kubo; futhi akabange esakwenza.” Nakuba uNkulunkulu waguqula umqondo Wakhe, yayingekho into enkimbinkimbi ngesimilo semqondo Wakhe. Wasuka ekuzwakaliseni intukuthelo Yakhe, waya ekudambiseni intukuthelo Yakhe, futhi wabe esenquma ukungasilethi isigemegeme phezu komuzi waseNineve. Isizathu esabangela ukuthi isinqumo sikaNkulunkulu—ukuphephisa abantu baseNineve kulesi sigemegeme—sisheshe kakhulu, ingoba uNkulunkulu wabona inhliziyo yomuntu ngamunye eNineve. Wabona ababenakho ekujuleni kwezinhliziyo zabo: ukuvuma ngeqiniso nokuphenduka ezonweni zabo, ukukholwa kwabo ngeqiniso Kuye, nomuzwa ojulile ababenawo ngokuthi izenzo zabo zokukhohlakala zazivuse ulaka esimweni Sakhe, kanye nokwesaba okwalandela besaba isijeziso esase siseduze. Ngaleso sikhathi uNkulunkulu wezwa imithandazo ephuma ekujuleni kwezinhliziyo zabo bemncenga ukuthi asuse ulaka Lwakhe kubo, ukuze bakwazi ukugwema isigemegeme. Lapho uNkulunkulu ebuka zonke lezi zehlakalo, kancane kancane intukuthelo yakhe yaphela. Akukhathaleki ukuthi ulaka Lwakhe lwalulukhulu kangakanani ngaphambilini, kwathi lapho ebona ukuphenduka ngeqiniso ekujuleni kwezinhliziyo zalaba bantu, inhliziyo Yakhe yathinteka, ngakho kwaba nzima Kuye ukuletha isigemegeme kubo, futhi wayeka ukubathukuthelela. Esikhundleni salokho waqhubeka wabakhombisa isihe nokubekezelela Kwakhe futhi waqhubeka wabaqondisa futhi wabapha.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 114)

UJona 3 Futhi izwi likaJehova lafika kuJona okwesibili, lathi, Suka, uye eNineve, idolobha elikhulu, ushumayele kulo intshumayelo engiyethula kuwe. Ngakho uJona wayesesuka, futhi waya eNineve, njengokwezwi likaJehova. Manje iNineve yayiyidolobha elikhulu lohambo lwezinsuku ezintathu. Futhi uJona waqala ukungena edolobheni ngohambo losuku, wamemeza wayesethi: Ezinsukwini ezingamashumi amane, liyakuchithwa iNineve. Ngakho abantu baseNineve bakholwa uNkulunkulu, futhi bamemezela ukuzila, base bembatha indwangu yamasaka, kusukela kwabadala babo kuya kwabancane kunabo bonke. Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, futhi yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yabeka ingubo yayo, futhi yazimboza ngendwangu yamasaka, yase ihlala emlotheni. Yaze yamemezela futhi yatshela iNinive ngomthetho wenkosi nabakhulu bayo, yathi, makungabi bikho muntu noma isilwane, umhlambi wezinkomo noma owezimvu onambitha utho, mabangadli lutho futhi bangaphuzi manzi: Kepha abantu nezilwane mabambozwe ngendwangu yamasaka, futhi kukhalwe kakhulu kuNkulunkulu: yebo, kuphenduke wonke umuntu endleleni yakhe embi, nasebudloveni obusezandleni zabo. Ngubani owaziyo ukuthi uNkulunkulu engabuya futhi azisole, futhi adede ekufutheni kwentukuthelo Yakhe, ukuthi singabhubhi na? Lapho uNkulunkulu wase ebona izenzo zabo, ukuthi babuyile endleleni yabo embi; uNkulunkulu wase eguquka kokubi, ayesekushilo ukuthi uzokwenza kubo; futhi akabange esakwenza.

Uma Ukukholwa Kwakho KuNkulunkulu Kuyiqiniso, Uzovama Ukuthola Ukunakekelwa Nguye

Ukuguqula kukaNkulunkulu izinhloso ayenazo ngabantu baseNineve, akubanga nakunqikaza noma ukudideka. Kepha, kwakungukuguquka kusuka entukuthelweni emsulwa kuya ekubekezeleleni okumsulwa. Lokhu ukwembulwa kwangempela kobukhona bukaNkulunkulu. UNkulunkulu akabi manqikanqika noma angabaze ezenzweni Zakhe; izimiso kanye nezinhloso ezingemuva kwezenzo Zakhe zicacile futhi zisobala, zimsulwa futhi azinasici, azinamaqhinga noma amacebo ahlangene phakathi. Ngamanye amazwi, ubukhona bukaNkulunkulu abunabumnyama noma ububi. UNkulunkulu waba nentukuthelo nabantu baseNineve ngoba izenzo zabo zokukhohlakala zazifinyelele emehlweni Akhe; ngaleso sikhathi intukuthelo yakhe yayiveza ubukhona Bakhe. Kepha, lapho intukuthelo kaNkulunkulu inyamalala, waphinda waletha ukubekezelela phezu kwabantu baseNineve, konke akuveza kwabe kusewubukhona Bakhe. Lolu guquko selulonke lwalungenxa yokuguquka kokucabanga komuntu ngoNkulunkulu. Ngalesi sikhathi sisonke, isimo sikaNkulunkulu esinganengeki asizange siguquke; ingqikithi kaNkulunkulu ebekezelelayo ayizange iguquke; ubukhona bukaNkulunkulu obunothando nesihe abuzange buguquke. Uma abantu benza izenzo ezingukukhohlakala futhi benenga uNkulunkulu, uzoletha intukuthelo Yakhe phezu kwabo. Uma abantu bephenduka ngeqiniso, inhliziyo kaNkulunkulu iyaguquka futhi intukuthelo Yakhe iyaphela. Uma abantu beqhubeka bephikisana noNkulunkulu, ulaka Lwakhe olukhulu ngeke luphele; ulaka Lwakhe luzoya lubacindezela kancane kancane baze babhubhe. Lokhu ubukhona besimo sikaNkulunkulu. Akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ulaka noma isihe nomusa, inkambo yomuntu, ukuziphatha kanye nesimo sengqondo ngoNkulunkulu ekujuleni kwenhliziyo yakhe yikho okulawula lokho okuvezwayo ngokwembuleka kwesimo sikaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ebeka umuntu ngaphansi kolaka Lwakhe njalo, inhliziyo yalowo muntu akungabazeki, iphikisana noNkulunkulu. Ngoba akakaze aphenduke ngeqiniso, agobe ikhanda ngaphambi kukaNkulunkulu noma abe nokholo lwangempela kuNkulunkulu, akakaze athole isihe nokubekezelelwa uNkulunkulu. Uma umuntu evamise ukuthola ukunakekelwa nguNkulunkulu futhi evamise ukuthola isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, kusho ukuthi lo muntu ngokungangabazeki unokukholwa okuyiqiniso kuNkulunkulu enhliziyweni yakhe, futhi inhliziyo yakhe ayimelene noNkulunkulu. Uvama ukuphenduka ngeqiniso phambili kukaNkulunkulu; ngakho noma ngabe ukuqondisa kukaNkulunkulu kuvame ukwehlela kulo muntu, kodwa ulaka Lwakhe aluzi.

Le ndaba emfushane ivumela abantu ukuthi babone inhliziyo kaNkulunkulu, ukubona ukuba khona kwangempela kobukhona Bakhe, ukubona ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu nokuguquka kwenhliziyo Yakhe akwenzeki ngaphandle kwesizathu. Naphezu komahluko omkhulu uNkulunkulu awukhombisa ngesikhathi ethukuthele nangesikhathi eguqula inhliziyo Yakhe, okwenza abantu bakholwe ongathi kunesikhala esikhulu noma umahluko omkhulu phakathi kwalezi zingxenye ezimbili zengqikithi kaNkulunkulu—ulaka Lwakhe nokubekezelela Kwakhe—indlela yokucabanga kaNkulunkulu mayelana nokuphenduka kwabantu baseNineve, kuyaphinda futhi kuvumela abantu ukuthi babone lena enye ingxenye yesimo sikaNkulunkulu sangempela. Ukuguquka kwenhliziyo kaNkulunkulu ngempela kuvumela isintu ukuthi siphinde sibone iqiniso le sihe nomusa kaNkulunkulu kanye nokubona isambulo sangempela sobukhona bukaNkulunkulu. Isintu kufanele sivume nje ukuthi isihe nomusa kaNkulunkulu awuyona inganekwane noma amanga. Lokhu kungenxa yokuthi umuzwa kaNkulunkulu wabe uyiqiniso ngaleso sikhathi; ukuguquka kwenhliziyo kukaNkulunkulu kwabe kuyiqiniso; uNkulunkulu impela waphinda futhi waletha isihe nokubekezela Kwakhe esintwini.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 115)

UJona 3 Futhi izwi likaJehova lafika kuJona okwesibili, lathi, Suka, uye eNineve, idolobha elikhulu, ushumayele kulo intshumayelo engiyethula kuwe. Ngakho uJona wayesesuka, futhi waya eNineve, njengokwezwi likaJehova. Manje iNineve yayiyidolobha elikhulu lohambo lwezinsuku ezintathu. Futhi uJona waqala ukungena edolobheni ngohambo losuku, wamemeza wayesethi: Ezinsukwini ezingamashumi amane, liyakuchithwa iNineve. Ngakho abantu baseNineve bakholwa uNkulunkulu, futhi bamemezela ukuzila, base bembatha indwangu yamasaka, kusukela kwabadala babo kuya kwabancane kunabo bonke. Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, futhi yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yabeka ingubo yayo, futhi yazimboza ngendwangu yamasaka, yase ihlala emlotheni. Yaze yamemezela futhi yatshela iNinive ngomthetho wenkosi nabakhulu bayo, yathi, makungabi bikho muntu noma isilwane, umhlambi wezinkomo noma owezimvu onambitha utho, mabangadli lutho futhi bangaphuzi manzi: Kepha abantu nezilwane mabambozwe ngendwangu yamasaka, futhi kukhalwe kakhulu kuNkulunkulu: yebo, kuphenduke wonke umuntu endleleni yakhe embi, nasebudloveni obusezandleni zabo. Ngubani owaziyo ukuthi uNkulunkulu engabuya futhi azisole, futhi adede ekufutheni kwentukuthelo Yakhe, ukuthi singabhubhi na? Lapho uNkulunkulu wase ebona izenzo zabo, ukuthi babuyile endleleni yabo embi; uNkulunkulu wase eguquka kokubi, ayesekushilo ukuthi uzokwenza kubo; futhi akabange esakwenza.

Ukuphenduka Kweqiniso Ezinhliziyweni Zabantu BaseNineve Kubazuzela Umusa KaNkulunkulu Futhi Kuguqula Iziphetho Zabo

Ingabe kwakukhona ukuphikisana phakathi kokuguquka kwenhliziyo kaNkulunkulu kanye nentukuthelo Yakhe? Lutho neze! Lokhu kungenxa yokuthi ukubekezelela kukaNkulunkulu kwabe kunesizathu ngaleso sikhathi. Ingabe kwakuyisiphi leso sizathu? Yileso esinikwe eBhayibhelini: “Kuphenduke wonke umuntu endleleni yakhe embi” “nasebudloveni obusezandleni zabo.”

“Le ndlela embi” ayisho imisebenzi yezenzo ezimbi, kodwa umthombo omubi ongemuva kokuziphatha kwabantu. “Ukuphenduka endleleni yakhe embi” kuchaza ukuthi labo abathintekile ngeke baphinde bazenze lezi zinto futhi. Ngamanye amazwi, ngeke baphinde baziphathe ngale ndlela embi; indlela, umthombo, inhloso, okuqondiwe kanye nesimiso sezenzo zabo, kwabe konke kuguqukile; ngeke baphinde basebenzise lezo zindlela nezimiso ukuletha injabulo nentokozo ezinhliziyweni zabo. Ukuthi “kubuyiswe ubudlova obusezandleni zakhe” kusho ukushiya noma ukulaxaza, ukuhlukanisa phakathi kwakho nesikhathi esidlule futhi ukungabuyeli emuva. Ngesikhathi abantu baseNineve beshiya ubudlova obusezandleni zabo, lokhu kwafakazela futhi kwamela ukuphenduka kwabo kweqiniso. UNkulunkulu uyabuka ingaphandle laba bantu kanye nezinhliziyo zabo. Ngesikhathi uNkulunkulu ebona ukuphenduka kwangempela ezinhliziyweni zabantu baseNineve ngaphandle kombuzo futhi wabona ukuthi babezishiyile izindlela zabo ezimbi baphinde balahla phansi ubudlova ezandleni zabo, Waguqula inhliziyo Yakhe. Lokhu kungukuthi inkambo nokuziphatha kwalaba bantu nezindlela ezehlukehlukene zokwenza izinto, kanye nokuvuma nokuphenduka ngeqiniso, ezonweni ezinhliziyweni zabo, kwenza uNkulunkulu ukuba aguqule inhliziyo Yakhe, aguqule izinhloso Zakhe, ahoxise isinqumo Sakhe futhi angabajezisi noma ababhubhise. Ngakho, abantu baseNineve baphumelela ukuthola isiphetho esihlukile. Bahlenga izimpilo zabo futhi ngesikhathi esifanayo, banqoba isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, okuyilapho futhi uNkulunkulu wahoxisa ulaka Lwakhe.

Isihe Nokubekezelela KukaNkulunkulu Akuyona Imvelakancane—Ukuphenduka Kweqiniso Komuntu Kuyimvelakancane

Akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu ubebathukuthelele kangakanani abantu baseNineve, kwathi bangamemezela ukuzila futhi bembatha indwangu yamasaka nomlotha, inhliziyo Yakhe yathamba kancane kancane, futhi waqala ukuguqula inhliziyo Yakhe. Ngesikhathi ememezela kubo ukuthi Wayezowubhubhisa umuzi wabo—umzuzwana ngaphambi kokuvuma nokuphenduka kwabo ezonweni zabo—uNkulunkulu wayesabathukuthelele. Kwathi sebedlule ochungechungeni lwezenzo zokuphenduka, intukuthelo kaNkulunkulu ngabantu baseNineve, yaguquka kancane kancane yaba isihe nokubabekezelela. Ayikho into ephikisanayo ngokuqondana kwalesi sambulo mayelana nalezi zingxenye ezimbili zesimo sikaNkulunkulu esehlweni esisodwa. Umuntu angakuqonda futhi akwazi kanjani lokhu kungabikhona kokuphikisana? UNkulunkulu ngokulandelana waveza futhi wabonakalisa lobu bukhona Bakhe obubili obuphikisana kakhulu, ngesikhathi abantu baseNineve bephenduka, wavumela abantu ukuthi babone ubuqobo nokunganengeki kobukhona bukaNkulunkulu. UNkulunkulu wasebenzisa umbono Wakhe ukutshela abantu lokhu: Akukhona ukuthi uNkulunkulu akababekezeleli abantu, noma Akafuni ukubonisa isihe kubo; ukuthi abavamile ukuphenduka kweqiniso kuNkulunkulu, futhi kuyimvelakancane ukuthi abantu ngokweqiniso bashiye izindlela zabo ezimbi futhi balahle ubudlova obusezandleni zabo. Ngamanye amazwi, uma uNkulunkulu ethukuthelele umuntu, Uthemba ukuthi umuntu uzokwazi ukuphenduka ngokweqiniso, futhi Uthemba ukubona ukuphenduka kweqiniso komuntu, okulapho uyobe eseqhubeka ukunikeza ngokupha isihe nokubekezelela Kwakhe kumuntu. Lokhu kungukuthi inkambo embi yomuntu izehlisela ulaka lukaNkulunkulu, kanti isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu kunikezwa labo abalalela uNkulunkulu futhi baphenduke ngokweqiniso phambi kwakhe, nalabo abakwazi ukushiya izindlela zabo ezimbi futhi balahle ubudlova obusezandleni zabo. umbono kaNkulunkulu wabonakaliswa ngokusobala bha ngempatho Yakhe yabantu baseNineve: isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu akukho nzima neze ukukuthola; ufuna ukuphenduka kweqiniso komuntu. Inqobo nje uma abantu beshiya izindlela zabo ezimbi futhi balahle ubudlova ezandleni zabo, uNkulunkulu uzoguqula inhliziyo Yakhe futhi aguqule isimo sengqondo Yakhe ngabo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 116)

Isimo Esilungile SoMdali Singokoqobo Futhi Sicacile

Ngesikhathi uNkulunkulu eguqula inhliziyo Yakhe ngabantu baseNineve, ingabe isihe nokubekezelela Kwakhe kwabe kuyisithombe esinamanga? Lutho neze! Ngakho inguquko phakathi kwalezi zingxenye ezimbili zesimo sikaNkulunkulu ngesikhathi sodaba olulodwa ikusiza ukuthi uboneni? Isimo sikaNkulunkulu siyinto ephelele; asiqhekekanga neze. Akukhathaleki ukuthi Uveza intukuthelo noma isihe nokubekezelela abantu, konke lokhu kungukuvezwa kwesimo Sakhe esilungile. Isimo sikaNkulunkulu singokoqobo futhi sicacile. Uguqula imicabango nombono Wakhe ngendlela izinto eziqhubeka ngayo. Ukuguquka kombono Wakhe ngabantu baseNineve kutshela isintu ukuthi unemicabango nemibono Yakhe ngokwakhe; akayona into esebenzisa okomshini noma isithombe sobumba, kodwa unguNkulunkulu ophilayo Uqobo Lwakhe. Wayengabathukuthelela abantu baseNineve, njengoba wayengabaxolela izici zabo ezidlulile ngokuhambisana nezimo zengqondo zabo; wayenganquma ukuletha umehlo kubantu baseNineve, futhi wayengaguqula isinqumo Sakhe ngenxa yokuphenduka kwabo. Abantu baqoka ukusebenzisa imigomo njengemishini, nokusebenzisa imigomo ukuhlaziya nokuchaza uNkulunkulu, njengoba bethanda ukusebenzisa izindlela ezibekiwe zokwenza okuthile (amafomula) ukwazi isimo sikaNkulunkulu. Ngakho-ke, ngangokucabanga kwesintu kukonke, uNkulunkulu akacabangi, futhi akanayo imibono enohlonze. Eqinisweni, imicabango kaNkulunkulu iyaguquguquka njalo ngangokuguquka kwezinto nesimo sezindawo; ngesikhathi le micabango iguquka, izingxenye ezihlukene zobukhona bukaNkulunkulu zizovela. Ngalesi sikhathi senguquko, ngomzuzu lapho uNkulunkulu eguqula inhliziyo Yakhe, uveza esintwini, iqiniso lokuba khona kwempilo Yakhe, futhi uveza ukuthi isimo Sakhe esilungile singokoqobo futhi sicacile. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu usebenzisa ezakhe izambulo eziyiqiniso ukufakazela esintwini iqiniso kokuba khona kolaka Lwakhe, isihe Sakhe, umusa Wakhe kanye nokubekezelela Kwakhe. Ingqikithi Yakhe izovezwa noma ingasiphi isikhathi noma kuyiphi indawo ngokuhambisana nokuqhubeka kwezinto. Unentukuthelo yebhubesi nesihe nokubekezelela kukamama. Isimo Sakhe esilungile akuvumelekile ukuba singabazwe, siphulwe, siguqulwe noma sihlanekezelwe noma imuphi umuntu. Phakathi kwazo zonke izindaba nezinto zonke, isimo sikaNkulunkulu esilungile, okungukuthi, intukuthelo kaNkulunkulu nesihe sikaNkulunkulu, singavezwa noma kunini noma kukuphi. Uveza ngokucacile lezi zingxenye kuzo zonke izindawo ongazicabanga emvelweni futhi uzenza ngokucacile ngazo zonke izikhathi. Isimo sikaNkulunkulu esilungile asikhawuliswa isikhathi noma indawo, noma, ngamanye amazwi, isimo sikaNkulunkulu esilungile asivezwa noma asibonakaliswe njengomshini ngokuphoqwa imingcele yesikhathi noma indawo. Kunalokho, isimo sikaNkulunkulu esilungile sibonakaliswa siphinde sivezwe ngokukhululeka noma ingasiphi isikhathi noma ikuyiphi indawo. Uma ubona uNkulunkulu eguqula inhliziyo Yakhe futhi eyeka ukubonakalisa ulaka Lwakhe futhi egwema ukubhubhisa umuzi waseNineve, ungathi uNkulunkulu unesihe nothando kuphela? Ungasho ukuthi ulaka lukaNkulunkulu luqukethe amazwi ayize? Lapho uNkulunkulu ebonakalisa ulaka olwesabekayo futhi ehoxisa isihe Sakhe, ungathi akezwa uthando lweqiniso ngesintu? UNkulunkulu ubonakalisa ulaka olwesabekayo ngenxa yezenzo ezimbi zabantu; ulaka Lwakhe alunasici. Inhliziyo kaNkulunkulu ithintwa ukuphenduka kwabantu, futhi ilokhu kuphenduka okuguqula inhliziyo Yakhe kanjalo. Ukuthinteka Kwakhe, ukuguquka kwenhliziyo Yakhe kanye nesihe nokubekezelela Kwakhe maqondana nomuntu akunasici nhlobo; kuhlanzekile, kumsulwa, akunasici futhi akungcolisiwe. Ukubekezelela kukaNkulunkulu ukubekezelela okumsulwa; isihe Sakhe isihe esimsulwa. Isimo Sakhe sizoveza ulaka kanye nesihe nokubekezelela, ngokuhambisana nokuphenduka komuntu kanye nenkambo yakhe ehlukile. Akunandaba ukuthi uvezani noma ubonakalisani, kumsulwa; kuqondile; ingqikithi yakho ihluke kakhulu kunanoma yini endalweni. Imiyalo zezenzo uNkulunkulu azibonakalisayo, imicabango nemibono Yakhe noma isiphi isinqumo esithile, kanye nanoma isiphi isinqumo esisodwa, akunazo nanoma iziphi izici noma amabala. Njengoba uNkulunkulu enqumile, uthatha isinyathelo ngokunjalo futhi ngale ndlela ufeza konke akwenzayo. Lezi zinhlobo zemiphumela ziqondile ngqo futhi azinaphutha ngoba umthombo wazo awunasici futhi awunabala. Ulaka lukaNkulunkulu alunasici. Ngokunjalo, isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, okungatholakali kunanoma isiphi isidalwa, kungcwele futhi akunasici, futhi kungama lapho kuzindlwa futhi kudingidwa odlule kukho.

Emuva kokuqonda indaba yeNineve, niyayibona enye ingxenye yengqikithi yesimo esilungile sikaNkulunkulu? Ingabe ulubonile olunye uhlangothi lwesimo sikaNkulunkulu sokulunga esiyingqayizivele? Kukhona phakathi kwesintu onalolu hlobo lwesimo na? Ukhona onalolu hlobo lolaka njengolukaNkulunkulu? Ukhona onesihe nokubekezelela njengoNkulunkulu? Ubani phakathi kwendalo ongavusa ulaka olukhulu futhi anqume ukubhubhisa noma ukuletha isigemegeme esintwini? Futhi ngubani ofanelekile ukunika isihe, ukubekezelela futhi axolele umuntu, ngalokho kwenza aguqule isinqumo sakhe sokubhubhisa umuntu? UMdali ubonakalisa isimo Sakhe esilungile ngezindlela nezimiso zakhe eziyingqayizivele; akekho ngaphansi kokulawulwa noma ukuvinjelwa inoma abaphi abantu, izigameko noma izinto. Ngenxa yesimo Sakhe esiyingqayizivele, akekho okwazi ukuguqula imicabango nemibono Yakhe, futhi akekho ongambonisa futhi aguqule noma isiphi isinqumo Sakhe. Ukuziphatha nemicabango yendalo isiyonke, ikhona ngaphansi kokwahlulela kwesimo Sakhe esilungile. Akekho ongalawula noma uveza ulaka noma isihe; ingqikithi yoMdali kuphela—noma ngamanye amazwi, isimo esilungile soMdali—esinganquma lokhu. Lena imvelo eyingqayizivele yesimo esilungile soMdali!

Uma sesihlaziyile futhi saqonda inguquko yombono kaNkulunkulu kubantu baseNineve, niyakwazi ukusebenzisa igama “ingqayizivele” ukuchaza isihe esitholakala esimweni esilungile sikaNkulunkulu? Besithe phambilini ulaka lukaNkulunkulu luyi ngxenye eyodwa yengqikithi yesimo Sakhe esilungile futhi esiyingqayizivele. Manje, sengizochaza izingxenye ezimbili, ulaka lukaNkulunkulu nesihe sikaNkulunkulu, njengesimo Sakhe esilungile. Isimo esilungile sikaNkulunkulu singcwele; asinakunengwa futhi asinakubuzwa; kuyinto engekho kunoma yisiphi isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga. Kuyingqayizivele futhi kukhethekile kuNkulunkulu. Lokhu ngukuthi ulaka lukaNkulunkulu lungcwele futhi alunakho ukunengeka. Ngendlela efanayo, enye ingxenye yesimo esilungile sikaNkulunkulu—isihe sikaNkulunkulu—singcwele futhi asinakucasulwa. Asikho nesisodwa isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga esingathatha indawo noma simele uNkulunkulu ezenzweni Zakhe, futhi akekho ongathatha indawo noma amele Yena ekubhujisweni kweSodoma noma ukusindiswa kweNineve. Lokhu ukubonakaliswa kweqiniso kwesimo sikaNkulunkulu esilungile futhi esiyingqayizivele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 117)

Imizwa YoMdali Eqotho Ngesintu

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu. Kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo. Isizathu esibanga umuntu ngokungaqondi, acabange ukuthi uNkulunkulu umxwaya ngamabomu, nokuthi uNkulunkulu usicashele ngamabomu isintu, ukuthi uNkulunkulu akananhloso yokuvumela umuntu ukuthi amqonde futhi amazi, ukuthi akazi ukuthi uNkulunkulu ungubani, futhi akafisi ukuqonda uNkulunkulu; nangaphezu kwalokho, akazihluphi ngemicabango, amazwi noma izenzo zoMdali…. Uma sikhuluma iqiniso, uma umuntu esebenzisa isikhathi esingatheni, ukubhekisisa futhi aqonde amazwi noma izenzo zoMdali futhi athi ukulalela imicabango nephimbo le nhliziyo yoMdali, ngeke kube nzima ukubona ukuthi imicabango, amazwi kanye nezenzo zoMdali ziyabonakala futhi zisobala. Ngokunjalo, kuzothatha ukuzikhandla okuncane ukubona ukuthi uMdali uphakathi kwabantu ngaso sonke isikhathi, nokuthi uhlala exoxisana nomuntu kanye nendalo iyonkana, nokuthi wenza izenzo ezintsha zonke izinsuku. Ingqikithi nesimo Sakhe kubonakaliswa engxoxweni Yakhe nomuntu; imicabango nemibono Yakhe iyavezwa ngokuphelele ezenzweni Zakhe; uyaphelekezela futhi abuke isintu ngaso sonke isikhathi. Ukhuluma buthule nesintu nayo yonke indalo ngamazwi Akhe athulile: Ngisemazulwini, ngiphakathi kwendalo Yami. Ngigadile; ngilindile; ngisohlangothini lwakho…. Izandla Zakhe zifudumele futhi zinamandla; izinyathelo Zakhe zilula; iphimbo Lakhe liphansi futhi lihle; isiqu Sakhe siyadlula futhi sijike, samukela sonke isintu; ubuso Bakhe buhle futhi bumnene. Akakaze ahambe, futhi akakaze anyamalale. Imini nobusuku, ungumngane wesintu olokhu ekhona njalo, akasuki nhlobo eduze kwabo. Ukunakekela ngokuzinikela Kwakhe nothando olukhethekile analo ngesintu, kanye nokunaka nothando lweqiniso analo ngomuntu, kwabonakala kancane kancane lapho esindisa umuzi waseNineve. Ikakhulu, ingxoxo phakathi kwaNkulunkulu uJehova noJona yadalula kakhulu uzwelo loMdali ngesintu ayesidalile Yena Uqobo. Ngala mazwi ungathola ukuqonda ukujulile kwemizwa kaNkulunkulu eqotho ngesintu …

Okulandelayo kubhalwe eNcwadini kaJona 4:10-11: “Wayesethi uJehova, Wena uhawukela umhlakuva, ongawusebenzelanga, futhi wawukhulisa; omile nje ngobusuku bunye, futhi ubhubhe ebusuku: Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNinive, idolobha elikhulu, lapho kukhona kulo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesandla sokunxele; kanye nezinkomo eziningi na?” Lawa ngamazwi angoqobo kaNkulunkulu uJehova, ingxoxo phakathi Kwakhe noJona. Noma le ngxoxo imfushane, igcwele iyachichima ngokunakekela koMdali ekhathalele isintu kanye nokuba madolonzima Kwakhe ukusiyekelela. La mazwi abonakalisa umbono nemizwa yeqiniso uNkulunkulu ayigcina enhliziyweni Yakhe ngendalo Yakhe, futhi ngala mazwi acacile, amazwi angavamile neze ukuzwiwa umuntu, uNkulunkulu ubeka obala izinhloso Zakhe zeqiniso ngesintu. Le ngxoxo ikhombisa umbono uNkulunkulu abenawo ngabantu baseNineve-kodwa umbono onjani lona? Kwakuwumbono ayenawo ngabantu baseNineve ngaphambili nangemuva kokuphenduka kwabo. UNkulunkulu uphatha isintu ngendlela efanayo. Kula mazwi umuntu angayithola imicabango Yakhe, kanye nesimo Sakhe.

Imiphi imicabango kaNkulunkulu evezwa kula mazwi? Ukufunda ngokucophelela kuveza ngokushesha ukuthi usebenzisa igama “isihawu”; ukusebenzisa leli gama kukhombisa umbono weqiniso kaNkulunkulu ngomuntu.

Ezingeni lomqondo osobala, abantu bangahumusha igama elithi “isihawu” ngezindlela ezihlukene: Okokuqala, lisho “ukuthanda nokuvikela, ukuba nozwelo ngento ethile;” okwesibili, “ukuthanda kakhulu”; okukugcina, “ukungafuni ukulimaza leyonto futhi ukungakwazi ukumela ukukwenza lokho.” Ngamafuphi, lichaza uthando olunobubele, nolungafuni ukuyeka umuntu noma into; lichaza isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu kumuntu. Nakuba uNkulunkulu asebenzisa igama elivamile ukushiwo phakathi kwabantu, ukusebenzisa leli gama kweneka iphimbo lenhliziyo kaNkulunkulu kanye nesimo sengqondo Yakhe ngomuntu.

Nakuba umuzi waseNineve wawugcwele abantu ababekhohlakele, bebabi futhi benodlame njengabaseSodoma, ukuphenduka kwabo kwadala ukuthi uNkulunkulu aguqule inhliziyo Yakhe futhi anqume ukungababhubhisi. Ngoba ukuphendula kwabo emazwini nemiyalo kaNkulunkulu kwakhombisa isimo sengqondo esihluke kude le kuleso sezakhamizi zaseSodoma, futhi ngenxa yokuzithobela kwabo kweqiniso uNkulunkulu nokuphenduka kwabo kweqiniso ezonweni zabo, kanye nokuziphatha okusuka enhliziyweni nokungeqiniso ngazo zonke izindlela, uNkulunkulu waphinda wakhombisa isihawu esisuka enhliziyweni Yakhe futhi wabanika sona. Umvuzo kaNkulunkulu kanye nesihawu Sakhe ngesintu, akekho angakwazi ukukulingisa; akekho umuntu ongaba nesihe nokubekezelela kukaNkulunkulu noma imizwa Yakhe eqotho ngesintu. Ukhona umuntu ombona njengendoda noma owesifazane omkhulu, noma indoda enamandla amakhulu, ongakhulumela endaweni ephakeme kakhulu, ekhuluma njengendoda noma owesifazane omkhulu, noma esicongweni, ongasho la mazwi esintwini noma endalweni? Ubani phakathi kwesintu ongazi isimo sokuphila sesintu njengentende yesandla sakhe? Ubani ongathwala inkathazo nomthwalo wokubhekela ukuba khona kwesintu? Ubani ofanele ukumemezela ukubhujiswa komuzi? Futhi ubani ofanele ukuxolela umuzi? Ubani ongathi uyayazisa kakhulu indalo yakhe? UMdali kuphela! UMdali kuphela onesihawu ngesintu. UMdali kuphela okhombisa isintu ububele nothando. UMdali kuphela onothando lweqiniso olungenakuphela ngalesi sintu. Ngokunjalo, uMdali kuphela onganika isintu isihe futhi azise indalo Yakhe. Inhliziyo Yakhe iyagxuma futhi iqaqambe ngazo zonke izenzo zomuntu: Uyathukuthela, ahlupheke futhi adabuke ngenxa yobubi bomuntu nenkohlakalo; uyajabula, aname, athethelele futhi asase ngenxa yokuphenduka nokukholwa komuntu; yonke imicabango nemibono Yakheiphathelene nesintu; lokho Ayikho nalokho anakho kubonakaliselwa isintu seku konke; imizwelo Yakhe isiyonke ithandelene nokuba khona kwesintu. Ngenxa yesintu, uyahamba, abe phansi phezulu; unikela konke ukuphila Kwakhe buthule; unikela yonke imizuzu nemizuzwana yempilo Yakhe…. Akakaze akwazi ukuba nesihawu ngempilo Yakhe Uqobo, kepha kade ayenesihawu futhi azisa isintu asidala Yena Uqobo Lwakhe…. Unika konke anakho kulesi sintu…. Unika isihe nokubekezelela okungenamigomo futhi ngaphandle kokulindela ukukhokhelwa. Ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu siqhubeke siphile phambi kwamehlo Akhe, samukela ukuhlinzeka Kwakhe; ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu ngelinye ilanga sizithobe phambi Kwakhe futhi sibone ukuthi Nguye owondla ukubukhona komuntu futhi anike impilo yoyo yonke indalo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 118)

UJona 4 Kodwa kwaba kubi kakhulu kuJona, wase ethukuthela kakhulu. Wabe esethandaza kuJehova, futhi wathi, ngiyakhuleka, O Jehova, kwakungesikho yini engangikukhulumile, ngenkathi ngisezweni lami na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi phambilini: ngokuba ngazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa, nonesihe, owephuza ukuthukuthela, nomnene impela, futhi oguqukayo kokubi. Ngalokho manje, O Jehova, ngiyacela, ususe, ukuphila kwami kimi; ngokuba kungcono kimi ukuba ngife kunokuphila. Wayesethi uJehova, ingabe wenza kahle ukuba uthukuthele na? Ngakho uJona wayesephuma edolobheni, wahlala ngasempumalanga kwedolobha, wase ezenzela idokodo khona, futhi wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone isiphetho ngedolobha. UJehova uNkulunkulu wamlungisela umhlakuva, futhi yawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe, ukumephula ekudabukeni kwakhe. Ngakho uJona wajabula kakhulu ngomhlakuva. Kepha ngakusasa ekuseni uNkulunkulu walungiselela isibungu, sase siwuphehla umhlakuva wase ubuna. Kwathi lapho, kuphuma ilanga, uNkulunkulu wase elungisa umoya onamandla wasempumalanga; ilanga lashaya ngqo ekhanda likaJona, wawa, futhi wazifisela yena uqobo ukufa, futhi wathi, kungcono ngife kunokuphila. Wayesethi uNkulunkulu kuJona, ingabe wenza kahle yini ukuba uthukuthele ngenxa yomhlakuva na? Wayesethi, ngenza kahle ngokuthukuthela, kuze kube ngisho nasekufeni. Wayesethi uJehova, Wena uhawukela umhlakuva, ongawusebenzelanga, futhi wawukhulisa; omile nje ngobusuku bunye, futhi ubhubhe ebusuku: Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNinive, idolobha elikhulu, lapho kukhona kulo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesandla sokunxele; kanye nezinkomo eziningi na?

UMdali Uveza Imizwa Yakhe Yeqiniso Ngesintu

Le ngxoxo phakathi kukaNkulunkulu uJehova noJona ngaphandle kokungabaza, ingukubonakaliswa kwemizwa yeqiniso yoMdali ngesintu. Ngakolunye uhlangothi, yazisa abantu ngokuqonda koMdali kwayo yonke indalo engaphansi komyalo Wakhe; njengoba uNkulunkulu uJehova wathi, “Futhi bengingayikulihawukela yini iNinive, idolobha elikhulu, lapho kukhona kulo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesandla sokunxele; kanye nezinkomo eziningi na?” Ngamanye amazwi, ukuqonda kwaNkulunkulu ngeNineve kwakungakhi phezulu. Wabe azi isibalo sezidalwa eziphilayo kulo muzi (kuhlanganise abantu nemfuyo), Wabe azi futhi ukuthi bangaki abangakwazi ukwahlukanisa isandla sabo sokunene nesokhohlo—okungukuthi, zabe zingaki izingane nentsha eyabe ikhona. Lokhu ubufakazi obuqanda ikhanda ngokuqonda isintu kukaNkulunkulu okuhlaba umxhwele. Ngakolunye uhlangothi le ngxoxo yazisa abantu ngesimo sengqondo yoMdali ngesintu, okungukuthi isisindo sesintu enhliziyweni yoMdali. Kunjengoba uNkulunkulu uJehova eshilo: “Uhawukele umhlakuva, ongawusebenzelanga, futhi wawukhulisa; omile nje ngobusuku bunye, futhi ubhubhe ebusuku: Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNinive, idolobha elikhulu…?” Lawa ngamazwi kaNkulunkulu uJehova okusola uJona, kodwa wonke aliqiniso.

Nakuba uJona wayephathisiwe umsebenzi wokumemezela amazwi kaNkulunkulu uJehova kubantu baseNineve, akazange aziqonde izinhloso zikaNkulunkulu uJehova, futhi akazange aqonde ukukhathazeka nalokho ayekulindele ngabantu bomuzi. Ngalesi sixwayiso uNkulunkulu wayeqonde ukumtshela ukuthi isintu sabe siyizidalwa zezandla Zakhe, futhi uNkulunkulu wayezikhandlile kanzima ngomuntu ngamunye; umuntu ngamunye wayethwele amathemba kaNkulunkulu kuye; wonke umuntu wabe ejabulela ukupha kwaNkulunkulu ngempilo; ngamuntu ngamunye uNkulunkulu wayekhokhe inani elinzima. Lesi sixwayiso satshela uJona ukuthi uNkulunkulu wayesazisa isintu, umsebenzi wezandla Zakhe, njengoba uJobe wayewazisa umhlakuva. UNkulunkulu wayengeke abalahle kalula ngaphambi komzuzu wokugcina ngci; Ngaphezu kwalokho, zabe ziziningi izingane nemfuyo engenacala phakathi komuzi. Lapho ebhekene nalaba abancane nabangenalwazi bendalo kaNkulunkulu, ababengakwazi ngisho ukuhlukanisa phakathi kwezandla zabo zakwesokudla nesokunxele, uNkulunkulu wahluleka kakhulu ukuqeda ukuphila kwabo futhi anqume ngeziphetho zabo ngendlela enokujaha. UNkulunkulu wayefisa ukubabona bekhula; Wayethemba ukuthi ngeke bahambe ezindleleni ezifanayo njengalabo abadala, ukuthi babengeke badinge ukuphinda bezwe isexwayiso sikaNkulunkulu uJehova futhi, nokuthi babezoba ngofakazi ngomlando weNineve. Nangaphezu kwalokho, uNkulunkulu wayenethemba lokubona iNineve emuva kokuthi seyiphendukile, futhi esikakhulu, ukubona uNineve iphinda iphila ngaphansi kwesihe sikaNkulunkulu futhi. Ngakho, emehlweni kaNkulunkulu, lezo zinto ezidaliwe ezazingakwazi ukuhlukanisa phakathi kwesandla sokudla nesinxele kwabe kuyikusasa le Nineve. Babezothwala izici ezinyanyeka zeNineve ezedlule, njengoba babezothwala umsebenzi omkhulu wokufakazela umlando nekusasa le Nineve ngaphansi kokuqondiwa nguNkulunkulu uJehova. Kulesi simemezelo semizwa Yakhe yeqiniso, uNkulunkulu uJehova wethula isihe soMdali ngesintu sisonkana. Siyakhombisa ukuthi “isihe soMdali” akuyona inkulumo eyize nje noma isithembiso esiyize; sinemiyalo nezindlela nezinjongo okuqotho. Uliqiniso futhi ukhona ngempela, futhi akasebenzisi amanga noma izinto zokusitheza, futhi ngendlela efanayo isihe Sakhe siyabonakaliswa phezu kwesintu ngaso sonke isikhathi nenkathi. Kepha, kuze kube namhlanje, ingxoxo yoMdali noJona iyona kuphela inkulumo ekhethekile yoMdali esho isizathu esenza akhombise isihe esintwini, ukuthi usikhombisa kanjani isihe esintwini, ukuthi usibekezelela kangakanani isintu kanye nemizwa Yakhe yangempela ngesintu. Ingxoxo kaNkulunkulu uJehova emfushane kodwa enohlonze ikhombisa imicabango Yakhe ephelele ngesintu, kuwubufakazi obuqinile bokunika Kwakhe isihe esichichimayo esintwini. Isihe Sakhe asinikwa kuphela izizukulwane ezindala zesintu; siphinda sinikwe kanye namalunga asemancane esintu, njengoba kuhlale kwenzeka, kusukela esizukulwaneni esinye kuya kwesinye. Nakuba ulaka lukaNkulunkulu luvame ukwehlela emagumbini athile nasezikhathini ezithile zesintu, isihe sikaNkulunkulu asikaze siphele. Ngesihe Sakhe, uyaqondisa futhi ahole isizukulwane esisodwa sendalo Yakhe emuva kwesinye, upha futhi ondle isizukulwane esisodwa sendalo emuva kwesinye, ngoba imizwa yakhe yeqiniso ngesintu ayisoze yaguquka. Njengoba uNkulunkulu uJehova eshilo: “Futhi-ke bengingayikulihawukela yini iNinive…?” Uhlale eyazisa indalo Yakhe uqobo. Lokhu isihe sesimo esilungile soMdali, futhi singubungqayizivele obumsulwa boMdali!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 119)

Izinhlobo Zabantu Ezinhlanu

Ngizohlela abalandeli bakaNkulunkulu ezigabeni eziningi, ngokuhambisana nokuqonda kwabo uNkulunkulu kanye nokuqonda kwabo kanye nabadlule kukhona kwesimo esilungile Sakhe, khona nizokwazi isigaba okusona njengamanje kanye nesiqu senu samanje. Mayelana nolwazi lwabo ngoNkulunkulu kanye nokuqonda kwabo ngesimo Sakhe esilungile, izigaba ezihlukene kanye neziqu abantu abakuzo zingahlukaniswa ngokujwayelekile kube izinhlobo ezinhlanu. Lesi sihloko sidingidwa ngesisekelo sokwazi uNkulunkulu oyingqayizivele kanye nesimo Sakhe esilungile; ngakho, uma nifunda lokhu okuqukethwe lapha okulandelayo,kufanele nizame ngokucophelela ukubona ukuthi empeleni ninokuqonda nolwazi olungakanani mayelana nobungqayizivele bukaNkulunkulu kanye nesimo Sakhe esilungile, bese nisebenzisa lokhu ukulinganisa ukuthi isiphi isigaba enikusona ngempela, nokuthiningabantu abanjani ngempela.

Uhlobo lokuqala: Isigaba Somntwana Ombesiwe

Yini umntwana ombesiwe? Umntwana ombesiwe umntwana osanda kuzalwa, usana. Yilapho abantu bebancane khona kakhulu futhi bengavuthiwe.

Abantu abakulesi sigaba ikakhulu abanakho ukuqonda noma ukuqaphela ngezindaba zokukholwa kuNkulunkulu. Badidekile futhi abanalwazi ngayo yonke into. Laba bantu kungenzeka ukuthi sebekholwe kuNkulunkulu isikhathi eside noma hhayi isikhathi eside neze, kodwa isimo sabo esididekile nesingenalwazi kanye nesiqu sabo sangempela sibabeka esigabeni sokuba umntwana ombesiwe. Incazelo eqondile yezimo zokuba umntwana ecashile imi kanje: akukhathaleki ukuthi sekuyisikhathi eside kangakanani lo muntu ekholelwa kuNkulunkulu, uyohlala ephithiza, edidekile futhi enjengengane; akazi kungani ekholelwa kuNkulunkulu, futhi akazi ukuthi uNkulunkulu ngubani. Nakuba elandela uNkulunkulu ayikho incazelo eqondile ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe, futhi akakwazi ukunquma noma lo amlandelayo nguNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi kufanele yini akholelwe kuNkulunkulu okwempela futhi amlandele. Lezi izimo zangempela aphila kuzona lolu hlobo lo muntu. Imicabango yalaba bantu ayicacile, isibekelwe amafu, makubekwa kalula, ukukholwa kwabo ngokokudideka. Bahlala besesimweni sokudideka nokungazi lutho; bayaphithizela, badidekile futhi banjengezingane uma sifinyezwa isimo sabo. Abakaze babone noma bezwe ubukhona bukaNkulunkulu, ngakho ukukhuluma nabo mayelana nokwazi uNkulunkulu, kusiza njengokuthi uthi mabafunde incwadi ebhalwe ngezimpawu zaseGibhithe; ngeke bayiqonde noma bayenamele. Kubona ukwazi uNkulunkulu kufana nokulalela indaba eyinganekwane. Nakuba imicabango yabo inenkungu, bakholelwa ukuthi ukwazi uNkulunkulu kuwukuchitha isikhathi nokuzikhandla. Lokhu uhlobo lomuntu wokuqala: umntwana ombesiwe.

Uhlobo lwesibili: Isigaba Somntwana Oncelayo

Uma uqhathanisa nomntwana ombesiwe, lolu hlobo lomuntu selibe nayo intuthuko. Ngeshwa, abakabi nokuqonda nokuqondisisa ngoNkulunkulu, futhi akukabacaceli ukuthi kungani kufanele bakholwe kuNkulunkulu, kodwa ezinhliziyweni zabo banenhloso yabo nemibono ecacile. Abazihluphi ngokuthi kulungile yini ukukholwa kuNkulunkulu. Injongo nenhloso bayifunayo ngokukholwa kuNkulunkulu ukujabulela umusa Wakhe, ukuba nontokozo nokuthula, ukuphila izimpilo ezinethezekile, ukuba nokunakekelwa nokuvikelwa kukaNkulunkulu nokuphila ngaphansi kwezibusiso zikaNkulunkulu. Abanandaba nezinga abamazi ngalo uNkulunkulu; abanawo umdlandla wokufuna ukuqonda uNkulunkulu, futhi abanandaba nokuthi wenzani uNkulunkulu noma ufisa ukwenzani. Ngaphandle kokuqonda, bafuna nje ukujabulela umusa Wakhe futhi bathole ezinye zezibusiso Zakhe; bafisa ukuthi bathole ikhulu ngesikhathi samanje, nokuphila okuphakade enkathini ezayo. Imicabango, ukusebenzisa imali nokuzinikela kwabo, kanye nokuhlupheka kwabo, konke kunenjongo efanayo: ukuthola umusa nezibusiso zikaNkulunkulu. Abanandaba nokunye. Lolu hlobo lomuntu lunesiqiniseko sokuthi uNkulunkulu angabagcina bephephile futhi athele umusa Wakhe phezu kwabo kuphela. Umuntu angathi abanandaba futhi akucacile kubo ukuthi kungani uNkulunkulu efisa ukusindisa umuntu noma umphumela uNkulunkulu afisa ukuwuthola ngamazwi nomsebenzi Wakhe. Abakaze benze umzamo wokwazi ingqikithi nesimo esilungile sikaNkulunkulu, futhi abakwazi ukuqunga amandla okwenze njalo. Abafisi ukunaka lezi zinto futhi abafisi ukuzazi. Abafisi ukubuza ngomsebenzi kaNkulunkulu, izimfanelo uNkulunkulu azidingayo kumuntu, intando kaNkulunkulu noma yini ephathelene noNkulunkulu; futhi abazihluphi ngokubuza ngalezi zinto. Yingoba bakholelwa ukuthi lezi zindaba azihlanganise lutho nokujabulela kwabo umusa kaNkulunkulu; banendaba kuphela noNkulunkulu ongathela umusa futhi ophathelene nezindaba zabo. Abanandaba nhlobo kunoma yini enye, ngakho ngeke bangene ebukhoneni beqiniso, akukhathaleki ukuthi mingaki iminyaka bekholwa kuNkulunkulu. Uma bengenaye umuntu ozobondla futhi abaphe amanzi njalo, kunzima kubo ukuqhubeka endleleni yokukholwa kuNkulunkulu. Uma bengajabuleli leya njabulo yabo yasekuqaleni noma bajabulele umusa kaNkulunkulu, kungenzeka bahlehlele emuva. Uhlobo lwesibili lomuntu lolu: umuntu ophila esigabeni lokuba umntwana oncelayo.

Uhlobo lwesithathu: Isigaba Somntwana Olunyulwayo, noma Isigaba Sengane Esencane

Leli qembu labantu banokuqapha okuthile futhi okucacile. Laba bantu bayazi ukuthi ukujabulela umusa kaNkulunkulu akusho ukuthi bona qobo lwabo banakho ukuzizwela kweqiniso; bayazi ukuthi uma bengakhathali ukufuna injabulo nokuthula, ukufuna umusa, noma uma bangafakaza ngokuxoxa ngalokhu abadlule kukhona bejabulela umusa kaNkulunkulu noma bedumisa uNkulunkulu ngezibusiso abanike zona, lezi zinto azisho ukuthi banempilo, futhi azisho ukuthi banobukhona beqiniso. Kuqala ekuqondeni kwabo, bayayeka ukucabanga ukuthi bazophelekezelwa umusa kaNkulunkulu kuphela; kodwa, njengoba bejabulela umusa kaNkulunkulu, ngaleso sikhathi bafisa ukwenzela uNkulunkulu okuthile; bazimisele ukwenza umsebenzi wabo, ukumela ubunzima nokukhathala okuncane, ukuba nokubambisana okuthile noNkulunkulu. Kepha, ngenxa yokuthi ukulandela kwabo ukukholwa kuNkulunkulu kungcolisiwe, ngoba izinhloso nezifiso abanazo njengabantu, zinamandla kakhulu, ngoba isimo sabo siqhosha ngobudlova obukhulu. Kunzima kubo ukwenelisa isifiso sikaNkulunkulu noma ukuthembeka Kuye; ngakho, bavamile ukuba bangazifezi izifiso zabo qobo noma bangazifezi izithembiso zabo kuNkulunkulu. Bajwayele ukuzithola besezimweni eziphambanayo: bayafisa kakhulu ukwenelisa uNkulunkulu kuze kufike ezingeni eliphakeme kakhulu, kepha basebenzisa wonke amandla abo ukumelana noNkulunkulu; bavame ukwenza ezethembiso kuNkulunkulu kodwa basheshe ukudembesela izifungo zabo. Nangaphezu kwalokhu bavamile ukuzithola besezimweni eziphambene: bayakholelwa kuNkulunkulu ngokuzimisela kodwa bayamphika uNkulunkulu nakho konke okuvela Kuye; banethemba elikhulu lokuthi uNkulunkulu uzobakhanyisela, abahole, abanike abakudingayo futhi abasize, kepha basafuna indlela yabo yokuphuma. Bafisa ukumqonda nokumazi uNkulunkulu, kodwa abazimisele ukusondela Kuye. Kunalokho, bahlale bemgwema uNkulunkulu; izinhliziyo zabo zivalekile Kuye. Noma benokuqonda okukha phezulu kanye nalokho abadlule kukho, ngezincazelo zamazwikaNkulunkulu neqiniso, uma ulandela wona nje amagama, nokuqonda okukha phezulu ngoNkulunkulu nangeqiniso, emoyeni wabo abakaqiniseki noma baqonde ukuthi uNkulunkulu uliqiniso; abakwazi ukuthola isiqiniseko sokuthi uNkulunkulu ulungile ngokweqiniso; futhi abakwazi ukuthola ubuqobo besimo nengqikithi kaNkulunkulu, kungasaphathwa ukubakhona Kwakhe ngempela. Ukholo lwabo kuNkulunkulu luhlale lunokungabaza nokungezwani, futhi kunokucabanga ngamehlo engqondo nemibono. Lapho bejabulela umusa kaNkulunkulu, ngokuzindela, bayazizwela noma benze lokho abathi amaqiniso angenzeka, ukuze bakhulise ukholo lwabo, ukwandisa lokho abadlule kukho ekukholweni nguNkulunkulu, ukuzoqinisekisa ngokuqonda kwabo ngokukholwa kuNkulunkulu, ukwenelisa isifiso-ze sabo sokuhamba endleleni yempilo abazimisele bona yona nokufeza umgomo olungile wesintu. Ngaleso sikhathi, bayazenza lezi zinto ukuze banelise isifiso sabo sokuthola izibusiso, ukuze babheje ikhona bezothola izibusiso ezinkulu esintwini, ukuze bafeze isifiso abazimisele ngaso nesifiso ekade benaso impilo yonke, sokungaphumuli baze bamthole uNkulunkulu. Laba bantu abavamile ukuthola ukukhanyiseleka kukaNkulunkulu, ngoba isifiso sabo nenhloso yabo ukuthola izibusiso kubaluleke kakhulu kubo. Abanasifiso sokuyeka futhi ngeke bakwazi ukukuyeka lokhu. Besaba ukuthi ngaphandle kwesifiso sokuthola izibusiso, ngaphandle kwalesifiso seminyaka sokungaphumuli baze bazuze uNkulunkulu, bazolahlekelwa umdlandla wokukholelwa kuNkulunkulu. Ngakho abafisi ukubhekana nesimo soqobo. Abafisi ukubhekana namazwi kaNkulunkulu nomsebenzi kaNkulunkulu. Abafisi ukubhekana nesimo sikaNkulunkulu noma ingqikithi Yakhe, kungasaphathwa ukuthi kukhulunywe ngesihloko sokwazi uNkulunkulu. Isizathu salokhu ingoba uma uNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nesimo Sakhe esilungilekuthatha indawo yemicabango yamehlo abo engqondo, amaphupho abo ayonyamalala; ukukholwa kwabo okumsulwa mbumbulu “namaphuzu” abawaqokelele eminyakeni eminingi yokusebenza ngokucophelela, konke kuyonyamalala kuphenduke ize; “indawo” yabo abayinqobe ngokuzikhandla iminyaka eminingi, izobe isengcupheni yokudilika. Lokhu kuyosho ukuthi iminyaka yabo eminingi yokusebenza nokuzikhandla bekuyize futhi kufanele baqale futhi bengenalutho. Lokhu ubuhlungu obunzima kakhulu ukuthi babuthwale ezinhliziyweni zabo, futhi umphumela abangafuni ukuwubona ngempela; ngakho bahlale ngezithola kulesi simo sokungahlulani, benqaba ukubuyela emuva. Lona uhlobo lwesithathu lo muntu: umuntu otholakala esigabeni somntwana olunyulwayo.

Izinhlobo ezintathu zabantu abachazwe ngaphezulu—ngamanye amazwi, abantu abakhona kulezi zigaba ezintathu—abanakho ukukholwa kweqiniso ngobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu noma isimo Sakhe esilungile, futhi abanakho ukuzibona nokuqiniseka ngalezi zinto. Ngakho, kunzima kakhulu kulezi zinhlobo ezintathu zabantu, ukungena ekubeni ngokoqobo kweqiniso, futhi kunzima kubo ukwemukela isihe sikaNkulunkulu, ukukhanyiselwa noma ukukhanya ngoba indlela abakholwa ngayo kuNkulunkulu kanye nesimo sengqondo esiyiphutha abanaso ngoNkulunkulu yenza kubenzima kakhulu kuNkulunkulu ukuthi enze umsebenzi ezinhliziyweni zabo. Ukungabaza, ukungaqondi kahle nokubuka ngamehlo engqondo mayelana noNkulunkulu, sekudlule ukholo nolwazi lwabo ngoNkulunkulu. Lezi yizinhlobo ezintathu zabantu abasengozini kakhulu, futhi ziyizigaba ezintathu eziyingozi kakhulu. Uma umuntu egcina umbono wokumngabaza uNkulunkulu, ingqikithi kaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu, nodaba lokuthi uNkulunkulu Ingabe uliqiniso kanye nobuqobo bokubakhona Kwakhe futhi angabi nesiqiniseko ngalezi zinto, angayemukela kanjani yonke into evela kuNkulunkulu? Umuntu angalemukela kanjani iqiniso lokuthi uNkulunkulu uliqiniso, indlela nokuphila? Umuntu angakwemukela kanjani ukujeziswa nokwahlulela kukaNkulunkulu? Umuntu angayemukela kanjani insindiso? Umuntu onje angemukela kanjani ukuqondisa kweqiniso nokuphana kukaNkulunkulu? Labo abalapha kulezi zigaba ezintathu bangaphikisana noNkulunkulu, bamhlulele uNkulunkulu, bamhlambalaze uNkulunkulu noma bamkhaphele uNkulunkulu noma kunini. Bangalahla indlela yeqiniso bashiye uNkulunkulu noma kunini. Umuntu angathi abantu abakulezi zigaba ezintathu basesikhathini esibucayi, ngoba abakangeni emgudwini olungile wokukholwa kuNkulunkulu.

Uhlobo Lwesine: Isigaba Sengane Esikhula, noma Isikhathi Sobungane

Umuntu uma eselunyuliwe—okungukuthi, emuva kokuba ejabulele isikhathi esanele somusa, umuntu uyaqala ahlole ukuthi kuchaza ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu, ukufisa ukuqonda imibuzo ehlukene, njengokuthi kungani umuntu ephila, kufanele umuntu aphile kanjani nokuthi kungani uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe kumuntu. Uma le micabango engacacile nezindlela zokucabanga ezididekile kuvuka kubona futhi iba khona kubo, bathola ukuchelwa njalo futhi bakwazi ukwenza umsebenzi wabo. Ngalesi sikhathi, abasenakho ukungabaza ngeqiniso lokuba khona kukaNkulunkulu, futhi banokuqonda okuyikho ngokuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu. Phezu kwale sisekelo baba nolwazi ngoNkulunkulu kancane kancane, futhi kancane kancane, bathola izimpendulo ngemicabango engacacile nezindlela zokucabanga ezididekile kwabo ngesimo nengqikithi kaNkulunkulu. Mayelana nokuguquka kwabo esimweni kanye nolwazi lwabo ngoNkulunkulu, abantu abakulesi sigaba baqala ukungena emgudwini olungile futhi bangena esikhathini sokuguquka. Ikulesi sigaba lapho abantu beqala ukuba baphile. Izimpawu ezicacile zokuba nempilo ukuxazululeka kancane kancane kwemibuzo ephathelene nokwazi uNkulunkulu, abantu abanayo ezinhliziyweni zabo—ukungaqondi kahle, ukubuka ngamehlo engqondo, imicabango nezincazelo ezingaqondakali ngoNkulunkulu—ukuthi bakholwe ngempela futhi bazi iqiniso lobukhona bukaNkulunkulu, kodwa futhi baba nencazelo enembayo ngoNkulunkulu futhi banendawo kaNkulunkulu efanele ezinhliziyweni zabo, futhi ukulandela uNkulunkulu ngeqiniso kuthatha indawo yokholo lwabo olungaqondakali. Kulesi sigaba, abantu, kancane kancane, baqala ukwazi ukungaqondi kahle kwabo ngoNkulunkulu kanye nalokho abakufunayo okungamaphutha nezindlela zokukholwa ezingamaphutha. Baqala ukulangazelela iqiniso, balangazelele ukuzwa ukwahlulela, ukusola nokuqondisa kukaNkulunkulu, balangazelele uguquko esimweni sabo. Kancane kancane balahla izinhlobonhlobo zemicabango, nokubuka ngamehlo engqondo ngoNkulunkulu kulesi sigaba; khona ngaleso sikhathi bayaguquka balungise ulwazi lwabo oluyiphutha ngoNkulunkulu futhi bathole ulwazi oluthile oluqavile futhi olulungile ngoNkulunkulu. Nakuba ingxenye yolwazi abantu abanalo kulesi sigaba aluqondile noma alulunganga, kodwa, nakuba kukuncane, bayaqala kancane kancane ukulahla ukungaqondi kahle, ulwazi oluyiphutha, ukungaboni ngasolinye kwabo noNkulunkulu; ababe besagcina ukucabanga nokubuka ngamehlo engqondo kwabo ngoNkulunkulu. Baqala bafunde ukuthi kulahlwa kanjani—ukulahla izinto ezitholakala emicabangweni, esuka olwazini futhi esuka kuSathane; baqala ukuzimisela ukuthobela izinto ezilungile futhi ezinhle, ngisho izinto eziqhamuka ezwini likaNkulunkulu balandele iqiniso. Bayaqala ukuzama ukuzizwela amazwi kaNkulunkulu, ukuwazi amazwi Akhe ngokwabo nokuwenza, ukwemukela amazwi Akhe njengemiyalo yezenzo zabo futhi njengesisekelo sokuguqula izimo zabo. Ngalesi sikhathi, abantu ngokungazi bayemukela ukwahlulela kanye nokusola kukaNkulunkulu, ngokungazi bayemukela amazwi kaNkulunkulu njengokuphila kwabo. Lapho bemukela ukwahlulela, ukusola kukaNkulunkulu futhi bamukele amazwi kaNkulunkulu, bayakhula ngokuqonda futhi bakwazi ukuzwa ukuthi uNkulunkulu abakholwa kuye ezinhliziyweni zabo, ukhona ngempela. Emazwini kaNkulunkulu, kulokho abadlule kukhona kanye nezimpilo zabo, kuyakhula ukuzwa ukuthi uNkulunkulu ubelokhu engamele phezu kwesimiselo somuntu, ubehola umuntu, epha umuntu. Ngokuhlanganyela kwabo noNkulunkulu, kancane kancane bayafakazela ukuba khona kwaNkulunkulu. Ngakho, ngaphambi kokuba babone, sebevele ngokungazi bavuma futhi bakholelwa ngokuqinile, emsebenzini kaNkulunkulu futhi bawavuma amazwi kaNkulunkulu. Uma nje abantu sebevume amazwi kaNkulunkulu nomsebenzi kaNkulunkulu, bayazidela bangaphezi, badela imicabango yabo, badela ulwazi lwabo, badela ukubona kwabo ngamehlo engqondo, futhi ngesikhathi esifanayo, bayafuna bengaliphonsi ithawula ukuthi yini iqiniso nokuthi yini intando kaNkulunkulu. Ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu lukha phezulu, alujulanga ngalesi sikhathi sokukhula—abakwazi ngisho ukucubungula ngokucacile lolwazi besebenzisa amagama, futhi abakwazi ukucubungula ngendlela ethile—futhi banokuqonda abakuzwayo nje; kodwa uma kuqhathaniswa nalezi zigaba ezintathu ezingaphambili, izimpilo ezingakakhuli ngokwanele zabantu abakulesi sigaba sezike zathola ukuchelwa nokuphiwa amazwi kaNkulunkulu futhi seziqalile ukuhluma. Kufana nembewu egqitshwe emhlabathini; emuva kokuthola ubumanzi nezakhi zomzimba, izoqhuma ivele emhlabathini; ukuqhuma kwayo kusho ukuzalwa kwempilo entsha. Ukuzalwa kwempilo entsha kuvumela umuntu ukuthi abone izimpawu zempilo. Ngempilo, abantu bazokhula ngayo. Ngakho, ngalezi zisekelo—kancane kancane bayangena endleleni elungile yokukholwa nguNkulunkulu, balahla ukucabanga kwabo, bathole ukuqondiswa nguNkulunkulu—izimpilo zabantu zizokhula noma ikanjani isinyathelo ngesinyathelo. Lokhu kukhula kukalwa kususelwa kwesiphi isisekelo? Kukalwa ngasebekuzwile ngamazwi kaNkulunkulu nangokuqonda kwabo kweqiniso isimo esilungile sikaNkulunkulu. Nakuba bekuthola kunzima kakhulu ukusebenzisa amagama abo ukuchaza ngokuqondile ulwazi lwabo lukaNkulunkulu nengqikithi Yakhe ngalesi sikhathi sokukhula, leli qembu laba bantu alisazimisele ukuthi ngokuzicabangela nje bafune intokozo ngokujabulela umusa kaNkulunkulu, noma ukuphokophela ukufeza izinhloso zabo ezingemuva komusa Wakhe. Esikhundleni salokho bazimisele ukufuna impilo ngezwi likaNkulunkulu, ukuba ngumenziwa wensindiso kaNkulunkulu. Ngokwengeziwe, banethemba futhi bakulungele ukwemukela ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu. Lokhu uphawu lomuntu osesigabeni sokukhula.

Nakuba abantu abakulesi sigaba benalo ulwazi oluthile ngesimo esilungile sikaNkulunkulu, lolu lwazi lulufifi futhi luyafikizela. Noma bengakwazi ukukucubungula lokhu ngokucacile, bayezwa ukuthi kukhona asebekuzuzile ngaphakathi, ngoba sebethole isilinganiso esithile solwazi nokuqonda ngesimo esilungile sikaNkulunkulu ngokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu; nokho, konke kunokukha phezulu, futhi kusesezingeni eliphansi. Leli qembu laba bantu linomqondo woqobo eliphatha ngawo umusa kaNkulunkulu. Lo mqondo ubonakaliswa ezinguqukweni zezinjongo abazifunayo kanye nendlela abazifuna ngayo. Sebebonile—emazwini nasemsebenzini kaNkulunkulu, emibandeleni Yakhe enhlobonhlobo kumuntu kanye nezambulo Zakhe ngomuntu—ukuthi uma belokhu bengaphokopheli ukufuna iqiniso, uma belokhu bengaphokopheli ukungena ubukhona obungoboqobo, uma bengafuni ukwenelisa nokwazi uNkulunkulu lapho bezwa amazwi Akhe, bazolahlekelwa ukubaluleka kokukholwa kuNkulunkulu. Bayabona ukuthi akukhathaleki ukuthi bawujabulela kangakanani umusa kaNkulunkulu, abakwazi ukuguqula isimo sabo, banelise uNkulunkulu noma bazi uNkulunkulu, nokuthi uma abantu beqhubeka bephila njalo phakathi komusa kaNkulunkulu, abasoze baphumelela ukukhula, ukuthola impilo noma ukwamukela insindiso. Ngokufingqiwe, uma umuntu engakwazi ukuzizwela amazwi kaNkulunkulu ngokweqiniso, futhi engakwazi ukwazi uNkulunkulu ngamazwi Akhe, umuntu uyosale esigabeni sobusane futhi angathathi ngisho isinyathelo esisodwa ukuyaphambili ekukhuleni kwempilo yakhe. Uma ulokhu uphila esigabeni sokuba usana, uma ungangeni nhlobo ebukhoneni bezwi likaNkulunkulu, uma amazwi kaNkulunkulu engakaze alokothe abe ngawakho ekuphileni kwakho, uma ungakaze ube nenkolelo nolwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu, ikhona indlela yokuthi ungenziwa uphelele nguNkulunkulu? Ngakho noma ubani ongenayo ebukhoneni bezwi likaNkulunkulu, noma ubani owemukela izwi likaNkulunkulu njengokuphila kwakhe, noma ubani oqalayo ukwemukela ukujeziswa nokwahlulela kukaNkulunkulu, noma ubani isimo sakhe esikhohlakele esiqala ukuguquka, futhi noma ubani onenhliziyo elangazelela iqiniso, onesifiso sokwazi uNkulunkulu, onesifiso sokwemukela insindiso kaNkulunkulu—laba bantu yibo abanokuphila kwangempela. Lolu, nguhlobo lwesine lomuntu, lowo oyingane ekhulayo, umuntu osesigabeni sobungane.

Uhlobo Lwesihlanu: Isigaba Sempilo Evuthiwe, noma Isigaba Sobudala

Emuva kokudlula esigabeni sobungane sokuba ujahidada, lesi sigaba sokukhula esigcwele ukuhlehla nyova kuphindelela, izimpilo zabantu sezize zazinza, izinyathelo zabo eziya phambili azisakhawuki, futhi akasekho okwazi ukubavimba. Nakuba indlela engaphambili imagebhugebhu futhi imigoxigoxi, abasekho buthakathaka noma abasesabi; abasahambi bephumputha noma balahlekelwe amabombo abo. Lezisekelo zigxilile ekujuleni kokuzizwela izwi likaNkulunkulu. Izinhliziyo zabo zidonswe yisithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu. Balangazelela ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, ukwazi ingqikithi kaNkulunkulu, ukwazi konke ngoNkulunkulu.

Abantu abakulesi sigaba sebeyazi ngokusobala ukuthi bakholwa kubani, futhi bazi ngokusobala nokuthi kungani kufanele bakholwe kuNkulunkulu kanye nencazelo ngezimpilo zabo zihlukene; bazi kahle ukuthi konke uNkulunkulu akuvezayo kuyiqiniso. Eminyakeni yabo eminingi yalokho abadlule kukho, bayazi ukuthi ngaphandle kokwahlulela nokujezisa kukaNkulunkulu, umuntu akasoze akwazi ukwenelisa noma ukwazi uNkulunkulu, futhi ngeke umuntu akwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Ezinhliziyweni zalaba bantu ngokuhlukana, kunesifiso esikhulu sokuvivinywa nguNkulunkulu, ukuze babone isimo esilungile sikaNkulunkulu ngesikhathi bevivinywa, ukuba nothando olumsulwa kakhulu, nokuthi ngaleso sikhathi bakwazi ukuqonda nokwazi ngeqiniso uNkulunkulu. Abalapha kulesi sigaba sebesishiye kude isigaba sobuntwana, isigaba sokujabulela umusa kaNkulunkulu nokudla isinkwa nokusutha. Abasabeki amathemba amakhulu ekwenzeni uNkulunkulu ababekezelele futhi abakhombise isihe; kunalokho, banethemba lokuthola futhi bathembe ukujeziswa nokwahlulela okungapheli, ukuze bazihlukanise esimweni sabo esikhohlakele futhi benelise uNkulunkulu. Ulwazi lwabo ngoNkulunkulu, izinto abazifunayo noma izinhloso zabo zokugcina kulokho abakufunayo: konke lokhu kucace bha ezinhliziyweni zabo. Ngakho, abantu esigabeni sobudala sebevalelisile baqeda esigabeni sokholo olungaqondakali, esigabeni lapho bethembele emuseni ukuze basindiswe, esigabeni sempilo engavuthiwe engakwazi ukumela ukulingwa, esigabeni sokubona lufifi, esigabeni sokuphumputha, esigabeni sokungabi nandlela ozoyithatha, esikhathini sokungazinzi lapho kudedelana ukushisa okuzumayo kanye namakhaza, kanye nesigaba lapho umuntu elandela uNkulunkulu namehlo emboziwe. Lolu hlobo lomuntu luvamile ukuthola ukukhanyiselwa nokukhanya kukaNkulunkulu, futhi uvamile ukuba nokuhambisana nokuxhumana kweqiniso noNkulunkulu. Umuntu angathi abantu abaphila kulesi sigaba sebeyibambile ingxenye yentando kaNkulunkulu; bayakwazi ukuthola imiyalo yeqiniso kukho konke abakwenzayo; bayakwazi ukwenelisa isifiso sikaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, bayitholile indlela yokwazi uNkulunkulu futhi sebeqalile ukufakazela ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Ngesikhathi sesikhathi sokukhula kancane kancane, kancane kancane baba nokuqonda nolwazi lwentando kaNkulunkulu, intando kaNkulunkulu ekudaleni isintu, intando kaNkulunkulu ekuphatheni isintu; ngaphezu kwalokho, kancane kancane baba nokuqonda nolwazi lwesimo esilungile sikaNkulunkulu mayelana nengqikithi. Akukho mcabango womuntu noma ukubona ngamehlo engqondo okungathatha indawo yalolu lwazi. Noma umuntu engeke asho ukuthi esigabeni sesihlanu, impilo yomuntu isivuthiwe isiphelelisiwe ngokuphelele noma ubize lowo muntu ngokuthi ulungile noma uphelele, lo muntu usethathe isinyathelo sokuya esigabeni sokupheleliswa empilweni; lo muntu useyakwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu, ukuma ubuso nobuso nezwi likaNkulunkulu futhi ubuso nobuso noNkulunkulu. Ngenxa yokuthi lo muntu usezizwele kakhulu izwi likaNkulunkulu, wadlula ezilingweni eziningi futhi wadlula eziwombeni eziningi zokuqondiswa, ukwahlulelwa kanye nokujeziswa nguNkulunkulu, ukuthobela kwakhe uNkulunkulu akuqhathanisi kodwa kuphelele. Ulwazi lwabo ngoNkulunkulu luguqukile lwayeka ukuba olusithekile oluzwakala kancane lwaba ulwazi olucacile futhi oluqondile, lwasuka ekukheni phezulu lwajula, lwasuka ekubeni lufifi nokufiphala lwaba olusobala futhi oluzwakalayo, futhi baguqukile basuka ebumpumputheni obukhandlayo nobufuna nokuyetha baya olwazini ngaphandle kokuzikhandla, nokufakaza okubuka kude. Kungathiwa abantu abakulesi sigaba banabo ubuqobo beqiniso bezwi likaNkulunkulu, ukuthi sebengenile endleleni yokupheleliswa njengoPetru. Lolu uhlobo lwesihlanu lomuntu, umuntu ophila esimweni sokupheleliswa—isigaba sokuba mdala.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukwazi UNkulunkulu 2

Okulandelayo: Ukwazi UNkulunkulu 4

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp