Ukudalula Ukukhohlakala Kwesintu 2

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 336)

Uthi uyamazi uNkulunkulu osamuntu futhi uyazi ukuthi iZwi livela lisenyameni, kodwa kukhona izinto ozenza ngasese, izinto ezingahambisani nakufunayo, futhi enhliziyweni yakho awumesabi. Ingabe lokhu ukwazi uNkulunkulu? Uyakwazi akushoyo, kodwa uyenqaba ukwenza ngisho nezinto okwazi ukuzenza futhi awunamatheli endleleni Yakhe. Ingabe lolu ulwazi? Unolwazi Ngaye, kodwa ingqondo yakho imelene Naye, ayimhloniphi nhlobo. Uma umbonile futhi wazi nomsebenzi Wakhe, wazi nokuthi unguNkulunkulu, kodwa ulokhu untukuntuku futhi ungashintshi nhlobo, khona-ke uwuhlobo lomuntu ongakanqotshwa. Labo abanqotshiwe kufanele benze konke abangakwenza, futhi nakuba bengakwazi ukungena kakhudlwana emaqinisweni aphakeme, futhi la maqiniso engaphezulu kwabo, abantu abanjalo bazimisele ezinhliziyweni zabo ukuthola lokhu. Kungenxa yokuthi kunemikhawulo kulokho abangakwamukela nokuthi kukhona imingcele nemikhawulo kulokho abangakwenza. Kodwa okungenani, kufanele benze konke abangakwenza futhi uma ungafeza lokho, lokhu kuwumphumela osufeziwe ngenxa yomsebenzi wokunqoba. Ake sithi uthi, “Uma esho amazwi amaningi kangaka umuntu angakwazi ukuwakhuluma, uma engeyena uNkulunkulu, ungubani?” Ukucabanga ngale ndlela akusho ukuthi uyamazi uNkulunkulu. Uma uvuma uNkulunkulu, kumele ukubonise ngezenzo zakho zangempela lokho. Ukuhola ibandla kodwa ungakwazi ukwenza okulungile, nokubhinca imali futhi uhlale ufihla ngobukhoshosho imali yebandla emaphaketheni akho—ingabe lokho kubonisa ukuthi uyamazi uNkulunkulu? UNkulunkulu unguSomandla futhi kufanele esatshwe. Ungahlala kanjani ungesabi uma ubona ngempela ukuthi kunoNkulunkulu? Uma nikwazi ukwenza into enyanyeka kangaka, ngabe lokhu kungukumvuma ngempela? Ningazenza kanjalo lezo zinto ezilichilo? Ingabe nikholelwa kuNkulunkulu? Enikholelwa kukho uNkulunkulu ongaqondakali; yingakho ningesabi! Labo abambona ngempela uNkulunkulu futhi abamaziyo, bonke bayamesaba futhi abesabi ukwenza noma yini emelene Naye noma engavumelani nonembeza wabo; bayesaba ukwenza noma yini engavumelani nentando kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokwazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Yini okufanele uyenze lapho abazali bakho benqaba ukuthi ukholelwe kuNkulunkulu? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu lapho umyeni wakho ongakholwa ekuphatha kahle? Futhi kufanele umthathe kanjani uNkulunkulu lapho abafowenu nodadewenu bekuzonda? Uma umazi uNkulunkulu, uyoziphatha ngokufanele futhi ubhekane ngokoqobo nazo zonke izimo. Uma wehluleka ukwenza kodwa ugcine ngokuthi uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, khona-ke uyobe wande ngomlomo nje kuphela! Uthi ukholelwa Kuye futhi uyamazi. Kodwa wazini Ngaye? Ukholelwa ngayiphi indlela Kuye? Ingabe uyamesaba? Ingabe uyamhlonipha? Ingabe umthanda ngokujulile? Lapho udangele futhi ungenamuntu ongakhalela kuye, uyasibona isidingo sokuthanda uNkulunkulu, kodwa ngemva kwalokho umkhohlwa nyá. Lokho akukhona ukuthanda uNkulunkulu noma ukukholelwa kuNkulunkulu! Ekugcineni, yini uNkulunkulu afuna umuntu ayifeze? Wonke amazwi engiwashilo, njengokucabanga ukuthi umkhulu, ucabange ukuthi uyashesha ukubamba izinto, ukulawula abanye, ukubukela abanye phansi, ukwahlulela abantu ngendlela ababukeka ngayo, ukuxhaphaza abantu abangenankohliso, ukufisa imali yebandla, njalo njalo—kulapho zonke lezi zimo ezikhohlakele sezisusiwe, ngokuyingxenye kuwe, lapho kuyobonakaliswa khona ukunqotshwa kwakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 337)

Ngisebenzile futhi ngakhuluma ngale ndlela phakathi kwenu, ngichithe amandla amaningi kanye nomzamo, kodwa-ke wake walalesisa engikutshela kona? Waguqa nini phambi Kwami, uSomandla? Kungani wangiphatha ngale ndlela? Kungani konke okushoyo kuvusa ulaka Lwami? Kungani ninezinhliziyo ezilukhuni kangaka? Ngabe ngake nganibhaxabula? Kungani ningenzi lutho kodwa ningidabukisa futhi ningethusa? Ngabe nilindele usuku lolaka Lwami, uJehova, luze phezu kwenu? Ngabe nilindele Mina ukuthi ngehle ngenyuka ngolaka ngenxa yokungalaleli? Ngabe engikwenzayo kukonke angikwenzeli khona? Kepha bewulokhu uphatha Mina, Jehova, ngale ndlela: weba iminikelo Yami, ugoduka neminikelo ye-altare Lami uyofunza amazinyane kanye nabazukulu bamazinyane esigodlweni esesabekayo; “abantu” bayalwa, bebhekene ngamehlo agcwele ulaka kanye nemikhonto, bejikijela amazwi Ami, uSomandla, endlini yangasese ukuze angcoliswe indle. Buphi ubuqotho bakho? Ubuntu benu sebuwubulwane! Izinhliziyo zenu zaphenduka itshe kudala. Ngabe uyazi ukuthi uma sekufika usuku lolaka Lwami yilapho engiyohlulela ngobubi obenze Kimi, uSomandla namuhla? Ngabe nicabanga ukuthi ngokukhohlisa Mina ngale ndlela, ngokujikijela amazwi Ami emgodini nokungawalaleli—nicabanga ukuthi ngokwenza kanje ngingakuboni ungaphunyuka emlilweni wolaka Lwami? Ngabe niyazi ukuthi seniboniwe amehlo Ami, Jehova, ngenkathi neba iminikelo Yami futhi nithukusa impahla Yami? Ngabe uyazi ukuthi ngenkathi neba iminikelo Yami, kwakuphambi kwe-altare okwenziwa kulo iminikelo? Ningacabanga kanjani ukuthi nihlakaniphe kangangoba ningadukisa Mina ngale ndlela? Ulaka lwami lungasuka kanjani ezonweni zenu ezixakile? Ulaka Lwami lungadlula kanjani phezu kwezenzo zenu zobubi? Isono enisenza namuhla asinivuleli intuba yokuphuma, kodwa sigcina ukusolwa kwenu kwangomuso; siqubula ukusola Kwami, uSomandla, okuqondwe kini. Izenzo zenu kanye namazwi obubi benu kungaphunyuka kanjani ekusolweni Kwami? Imithandazo yenu ingafinyelela kanjani ezindlebeni Zami? Nginganivulela kanjani indlela yenu yokulunga? Ngingahlukana kanjani nezenzo zenu ezimbi ezihlazisa Mina? Ngingadlula kanjani olimini lwenu olunoshevu njengolwenyoka? Aningibizeli ukulunga kwenu, kodwa kunalokho nandisa ulaka Lwami ngenxa yokungalungi kwenu. Nginganixolela kanjani? Emehlweni Ami, uSomandla, amazwi kanye nezenzo zenu kungcolile. Amehlo Ami, uSomandla, abona ukungalungi kwenu njengokusola okungenakuxolelwa. Ukusola Kwami okulungile kanye nokwahlulela kungasuka kanjani kini? Ngoba nenza lokhu Kimi, ningenza ngigcwale ukudabuka nolaka, nginganidedela kanjani ezandleni Zami ukuze niphunyuke kulolo suku mina, Jehova, engizonisola futhi nginiqalekise ngalo? Ngabe anazi ukuthi amazwi enu amabi asefinyelele ezindlebeni Zami? Ngabe anazi ukuthi ukungalungi kwenu sekungcolise ingubo Yami yokulunga? Ngabe anazi ukuthi ukungalaleli kwenu sekungidalele ulaka olukhulu? Ngabe niyazi ukuthi sesi side kakhulu isikhathi ningishiye ngiqhuma, futhi sesi side kakhulu isikhathi ngibekezele? Ngabe niyazi ukuthi senimoshe inyama nempahla Yami? Ngibekezele kwaze kwaba yimanje, kangangoba ngidedele ulaka Lwami, ngeke ngisanibekezelela. Ngabe niyazazi ukuthi izenzo zenu zobubi sezifinyelele emehlweni Ami, futhi ukukhala Kwami sekufinyelele ezindlebeni zikaBaba Wami? Anganivumela kanjani ukuthi niphathe Mina ngale ndlela? Ave umsebenzi enginenzela wona ungowokusiza nina? Kepha obani phakathi kwenu abathanda umsebenzi Wami, Jehova? Ngingakwazi ukungathembeki entandweni kaBaba Wami ngoba ngiyantengantenga, nangenxa yobuhlungu engidlule kubo? Aniyiqondi inhliziyo Yami? Ngikhuluma nani njengoba kwenza uJehova; ukuba anginikezelanga ngokuningi ngenxa yenu? Yize ngizimisele ngokuthwala konke lokhu kuhlupheka ngenxa yomsebenzi kaBaba Wami, ningakhululwa kanjani ekusolweni engizokuletha phezu kwenu ngenxa yokuhlupheka Kwami? Aningithokozelanga? Namuhla, nginikelwe phezu kwenu uBaba; ngabe anazi ukuthi nithola umusa Wami ngokweqile? Ngabe anazi ukuthi impilo Yami yathatha indawo yempilo yenu kanye nezinto enizithokozelayo? Ngabe anazi ukuthi uBaba Wami wasebenzisa impilo Yami ukuze alwe noSathane, kanye nokuthi wanikela ngempilo Yami phezu kwenu, okwenza ukuthi nithole ngokuphindaphindiwe, futhi kwanivumela ukuthi nigweme lezo zilingo? Ngabe anazi ukuthi niyokhululwa ezilingweni eziyinqwaba nasekusolweni okuningi ngenxa yomsebenzi Wami? Ngabe anazi ukuthi Yimi kuphela owenze ukuthi uBaba Wami anivumele ukuze nithokoze kuze kube yimanje? Nihlala kanjani nilukhuni futhi niqine kangaka namuhla, kuze kube sengathi sekumile izingqweqwe phezu kwezinhliziyo zenu? Ububi enibenza namuhla bungaphunyuka kanjani ngosuku lolaka oluzolandela ekuhambeni Kwami emhlabeni? Ngingavuma kanjani ukuthi labo abanezinhliziyo ezilukhuni nezingathambi baphunyuke olakeni lukaJehova?

Kucashunwe embhalweni othi “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 338)

Cabanga ngesikhathi sakudala: Ngabe ngake ngabuka ngolaka olungaka, futhi nezwi Lami ladlengezela, kini? Ngabe nganicasukela ngokweqile nini? Ngake nginikhuza ngendlela engafanele? Ngake nganikhuza ngqo? Akuve kungenxa yomsebenzi Wami njengoba ngibiza uBaba Wami ukuthi anigcine kuzo zonke izilingo? Kungani nangiphatha ngale ndlela? Ngake ngawasebenzisa amandla Ami ukuze ngishaye inyama yenu? Kungani ningikhokhela ngale ndlela? Emuva kokungivuthela nokubandela, anishisi futhi anibandi, bese nizama ukungikhohlisa nokungifihlela izinto, futhi imilomo yenu igcwele amathe okungalungi. Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaqola uMoya Wami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaphunyuka olakeni Lwami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungadlula ukwahlulelwa kwezenzo Kimi, uJehova, noma kanjani? Ngabe nginguNkulunkulu owahlulelwa umuntu? Ngingavumela isibungu esincane sihlambalaze Mina ngale ndlela? Ngingawadlulisela kanjani la madodana okungalaleli ezibusisweni Zami zengunaphakade? Amazwi nezenzo zenu sekunidalulile futhi kwanilahla kakhulu. Ngenkathi ngelula amazulu, futhi ngadala zonke izinto, angivumelanga lutho oludaliwe ukuthi luzibandakanye ngendlela oludalwe ngayo, kube angivumelanga lutho ukuthi luphazamise umsebenzi Wami kanye nokuphatha Kwami noma ngabe kanjani. Angamukelanga muntu noma lutho; ngangingabayekelelani labo ababi nabangiphatha ngendlela engenabo ubuntu? Bengingabaxolela kanjani labo abahlubuka emazwini Ami? Bengingabayekela kanjani labo abangangilaleli? Impumelelo yomuntu ayikho ezandleni Zami, uSomandla, yini? Ngingasho kanjani ukuthi ukungalungi nokungalaleli kwenu kungcwele? Izono zenu zingabungcolisa kanjani ubungcwele Bami? Angingcoliswa ukungcola kokungalungi, noma ngabe ngithokozela iminikelo yokungalungi. Ukuba benethembekile Kimi, Jehova, beningazihambisela iminikelo e-altare Lami? Beningasebenzisa ulimi lwenu olugcwele ushevu ukuze nithuke igama Lami elingcwele? Beningahlubuka emazwini Ami ngale ndlela? Beningaphatha ubungcwele Bami kanye negama elingcwele njengethuluzi lokusebenzela uSathane, ongomubi? Impilo yami ihlinzekelwa ukuthokozelwa abantu abangcwele. Bengingakuvumela kanjani ukuthi udlale ngempilo Yami nomakanjani, futhi niyisebenzise njengethuluzi lokuxokozela phakathi kwenu? Ningaba kanjani nenhliziyo embi nengenakulunga, eniyibhekise Kimi? Ngabe anazi ukuthi sengizibhalile izinto ezimbi kula mazwi okuphila? Ningalubalekela kanjani usuku lolaka uma sengisola iGibhithe? Ngingakuvumela kanjani ukuba ungiphikise futhi ungedelele ngale ndlela, kuphindelela? Nginitshela ngokucacile, uma sekufika usuku, ukusolwa kwakho kuyobe kungabekezeleleki kakhulu kunalokho kwaseGibhithe! Ningalubalekela kanjani usuku lolaka Lwami? Ngisho ngiyaqinisa: Ukubekezela Kwami kwakulungiselwe izenzo zenu ezimbi, futhi kukhona ukuze nisolwe ngalolo suku. Ngabe anisibo labo abayobhekana nokwahlulela ngolaka uma sengifike ekugcineni kokubekezela Kwami? Ave yonke into isezandleni Zami, uSomandla? Nginganivumela kanjani ukuthi ningangilaleli, ngaphezu kwamazulu? Impilo yenu izoba nzima kakhulu ngoba anikahlangani noMesiya, okwakuthiwe uyofika, kepha ongafikanga. Anizona izitha Zakhe? UJesu belokhu engumngane wenu, kepha niyizitha zikaMesiya. Ngabe anazi ukuthi yize ningabangani baJesu, izenzo zenu ezimbi zigcwalise izintsha zalabo abazondekayo? Yize nisondele kakhulu kuJehova, ngabe anazi ukuthi amazwi enu amabi asefinyelele ezindlebeni zikaJehova futhi aqubula ulaka Lwakhe? Angasondelana kanjani nani, futhi kungani engeke akushisele lezo zitsha zenu, lezo ezigcwele izenzo zobubi? Kungani ebengeke abe yisitha senu?

Kucashunwe embhalweni othi “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 339)

Manje ngibuka inyama yakho eyenza ngokuthanda engithanda ukungikhohlisa, kanti nginesixwayiso esifushane nje senu. Ngeke nhlobo nginithathele izinyathelo ngokunijezisa “nginilinde”. Kufanele niyazi indima eniyidlala emsebenzini Wami, lapho-ke ngiyokweneliseka. Phezu kwalokho, uma ningivukela noma nidla imali Yami, noma nidla iminikelo Yami yokushiswa, Mina Jehova, noma nina zimpethu nilumana nodwa, noma uma kunokuxabana noma ukuphathana ngendluzula phakathi kwenu zidalwa ezifana nezinja—anginandaba nakho konke lokho. Nidinga nje ukwazi ukuthi niwuhlobo luni lwezinto, bese Mina ngiyeneliseka. Ngale kwalezi zinto, kulungile uma nizimisele ukudonsela imikhonto noma izinkemba noma nilwe nodwa ngamazwi enu. Anginamdlandla wokungena kulezo zinto, futhi angibandakanyeki nakancane ezindabeni zabantu. Akukona ukuthi anginandaba nezingxabano eziphakathi kwenu, kodwa yingoba angiyena omunye wenu, angizibandakanyi ezindabeni eziphakathi kwenu. Mina angiyena omunye wendalo futhi angiyena owalo mhlaba, ngakho-ke, ngiyakwenyanya lokhu kukhwishiza kwabantu kanye nalobu budlelwane babantu okungubuphixiphixi, nobungafanele. Engikunyanya kakhulu ukuxokozela kwezixuku zabantu. Noma kunjalo, ngazi ngokunzulu ukungcola okusezinhliziyweni zesidalwa ngasinye, futhi ngaphambi kokuba nginidale, ngangikwazi ukungalungi obabukhona ekujuleni kwezinhliziyo zabantu, futhi ngangazi inkohliso nokuba mazombezombe bezinhliziyo zabantu. Ngakho ngisho noma kungekho mzila nhlobo wezenzo zabantu ezimbi, nalapho ngiyazi ukuthi ububi obusezinhliziyweni zenu budlula ukunotha kwazo zonke izinto engizidalile. Ngamunye ngamunye kinina nenyukele esicongweni sezixuku; nenyukele ekubeni yidlozi lezixuku zabantu. Niyizephulamthetho ezinkulu, futhi nehla nenyuka phakathi kwazo zonke izimpethu nifuna indawo enokuthula, nizama ukusobozela izimpethu ezincane kunani. Ninenzondo nobubi obesabekayo ezinhliziyweni zenu, nedlula nalezo zipoki ezacwila ekujuleni kolwandle. Niphila phansi ebulongweni, niphazamisa izimpethu kusuka phezulu kuya ezansi ukuze zingabi nakuthula, nilwa nodwa okwesikhashana nibuye nizothe futhi. Anizazi kwanina isimo senu, kodwa noma kunjalo nisalwa nodwa ebulongweni. Yini enizoyizuza kulokhu? Uma ngempela ngempela ninezinhliziyo ezingesabayo Mina, ningalwa kanjani nodwa? Noma ngabe nisezingeni eliphakeme kangakanani, ave niseyizimpethu ezinukayo ebulongweni? Nizokwazi ukumila izimpiko nibe ngamajuba esibhakabhakeni? Nina, zimpethu ezintshontsha iminikelo ese-althare Lami, i-althare likaJehova, ningakwazi ukuhlenga amagama enu adicileke phansi, ukuba abe ngabantu bakwa-Israyeli abakhethekile? Zikhohlakali ezingenamahloni! Leyo minikelo ese-althare beyinikelwe Kimi ngabantu Bami, betshengisa imizwa yobumnene balabo abangesabayo Mina. Yokuba ilawulwe Yimi futhi isetshenziswe Yimi, pho ningiphanga kanjani amajuba ami engiwanikwe abantu? Anesabi ukuba uJudasi? Anesabi ukuba umhlaba wenu ube yizinkundla zokuchitheka kwegazi? Aninamahloni? Nicabanga ukuthi amajuba anikelwe ngabantu awokusuthisa izisu zenu zimpethu? Engininike kona yilokhu enginentokozo yokuninika kona nebengizimisele ukunipha khona; lokho enginganinikanga khona okokusetshenziswa Yimi, futhi anikwazi ukuvele nizintshontshele nje iminikelo Yami. Osebenzayo Yimi, uJehova—uNkulunkulu onguMdali, futhi abantu banikela iminikelo ngenxa Yami. Nicabanga ukuthi yinkokhelo yakho konke ukugijima enikwenzayo? Aninamahloni! Nisuke nigijimela bani? Ave nizigijimela nina? Nintshontshelani iminikelo Yami? Niyintshontshelani imali Yami esikhwameni Sami? Aniwona amadodana kaJuda Iskariyothe? Eyami, iminikelo kaJehova, eyokuthokozelwa ngabaphristi. Ningabaphristi nina? Ninesibindi sokudla iminikelo Yami ngokuzigqaja nize niyideke ematafuleni enu; aninto yalutho! Zikhohlakali ndini! Umlilo Wami, umlilo kaJehova uzonishabalalisa!

Kucashunwe embhalweni othi “Uma Amaqabunga Awile Ebuyela Ezimpandeni Zawo, Uzozisola Ngabo Bonke Ububi Obenzile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 340)

Ukholo lwenu luhle kakhulu; nithi nizimisele ukuzikhandla yonke impilo yenu egameni lomsebenzi Wami, nokuthi nizimisele ukunikela ngokuphila kwenu ngenxa yawo, kodwa isimo senu asikashintshi kangako. Bekungamagama nje okuzikhukhumeza, kodwa izenzo zenu zimbi kakhulu. Kubonakala sengathi ulimi nezindebe zomuntu zisezulwini kodwa imilenze ikude le emhlabeni, ngakho amazwi akhe nezenzo kanjalo negama lakhe kusesesimweni esibi kakhulu. Igama nesithunzi senu sicekeleke phansi, isithunzi senu sehlile, indlela enikhuluma ngayo iyihlazo, nempilo yenu iyanyanyisa, bonke ubuntu benu buphansi. Izingqondo zenu zincane anibacabangeli abanye futhi nixabanela nezinto ezincane. Nilwela izikhundla nokuthathelwa phezulu, ningaze niyophonseka esihogweni, phakathi echibini lomlilo. Amagama enu amanje nezenzo kwanele ukuba nginibale njengabagcwele isono. Indlela enithatha ngayo umsebenzi Wami yanele ukuba nginibone ukuthi ningabangalungile, futhi izimo zenu zonke zanele ukuba ngithi imiphefumulo yenu ingcolile futhi igcwele izinengiso. Enikwenzayo kanye nenikwambulayo kwanele ukuba kungathiwa ningabantu abaphuze igazi eliningi lemimoya engcolile. Uma kukhulunywa ngokungena embusweni ngako anikwazi ukufihla imizwa yenu. Niyakholwa ukuthi indlela eniyiyona yanele ukuba ningene emasangweni ombuso Wami wezulu? Niyakholwa ukuthi ningathola ukungena ezweni elingcwele lomsebenzi Wami namagama ngaphandle kwamagama enu nezenzo zenu zithola ukuhlolwa Yimi? Ubani okwazi ukukhohlisa ngempumelelo amehlo Ami womabili? Kungenzeka kanjani ukuthi ukuziphatha nezingxoxo zenu ezimbi nezinyanyekayo ziphunyuke emehlweni Ami? Izimpilo zenu ngizibone njengezimpilo zokuphuza igazi laleyo mimoya engcolile nokudla inyama yaleyo mimoya engcolile ngenxa yokuba niya ngokuya nifana nayo phambi Kwami zonke izinsuku. Emehlweni Ami ukuziphatha kwenu kwakukubi kakhulu, pho ngingathini ukunganengeki? Kwenikushoyo kunobubi bemimoya engcolile: Niyakhohlisa, nifihle, niphinde niyenge njengabathakathayo, futhi ninjengalabo abakhohlisayo nabaphuza igazi lokungalungi. Zonke izenzo zabantu azilungile kakhulu, pho kungenzeka kanjani ukuthi bonke abantu babekwe ezweni elingcwele lapho kunabalungile khona na? Ucabanga ukuthi lokho kuziphatha kwakho okunyanyisayo kungakutomula njengongcwele kulabo abangalungile? Ulimi lwakho olunjengolwenyoka luzogcina lucekele phansi inyama yakho eletha umonakalo yenze nezenzo eziyisinengiso, kanye nalezo zandla zakho ezigcwele igazi lemimoya engahlanzekile nazo zizogcina zidonsele umphefumulo wakho esihogweni, pho kungani ungagxumeli leli thuba lokuhlanza izandla zakho ezigcwele ukungcola? Futhi kungani ungathathi leli thuba uhlukane lalolu limi lwakho olukhuluma amazwi angenako ukulunga? Kungenzeka ukuthi uzimisele ukuzwa ubuhlungu ngaphansi kwamalangabi asesihogweni ngenxa yezandla zakho ezimbili nolimi nezindebe? Ngibhekelela izinhliziyo zabo bonke abantu ngamehlo Ami amabili ngoba kudala ngaphambi kokudala abantu, ngangiphethe izinhliziyo zabo ezandleni Zami. Kudalo ngakwazi ukuyibona kahle inhliziyo yomuntu, pho kungenzeka kanjani ukuthi inhliziyo yomuntu icashele amehlo Ami? Futhi bangaba kanjani esikhathini sokubalekela ukuvutha koMoya Wami?

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 341)

Izindebe zakho zinomusa kunamajuba kodwa inhliziyo yakho yimbi ngaphezu kwenyoka yamandulo, ngisho nezindebe zakho zinhle kunezowesifazane waseLebhanoni, kodwa inhliziyo yakho ayinamusa kunaleyo yowesifazane waseLebhanoni futhi-ke ingefaniswe nobuhle babaseKhenani. Inhliziyo yakho inenkohliso enkulu! Engikuzonda kakhulu yizindebe kuphela zokungalungi nezinhliziyo zokungalungi. Izindinganiso zami kubantu azingaphezu kwezabangcwele, ukuthi nje ngizizwa nginenzondo ngezenzo ezimbi zabangalungile futhi ngifisa ukuba abangalungile bangase bakwazi ukuxosha ukungcola kwabo baphume babaleke kule ndida ekhona ukuze bakwazi ukuzehlukanisa nalabo abangalungile, baphile kanye futhi babe ngcwele nalabo abalungile. Nisesimweni esifanayo nami, kodwa nembozwe ukungcola, akukho nenswebu encane kinina yalaba bantu abadalwa ekuqaleni, futhi ngenxa yokuthi zonke izinsuku nilinganisa leya mimoya engcolile futhi nenza niphinde nisho lokho ekushoyo, yonke ingxenye yenu ngisho nolimi nezindebe zenu zicwile emanzini ayo angcolile. Sekufinyelele ephuzwini lokuthi nimabhadubhadu yilawo mabala ndawo yonke akusekho nengxenye encane engasetshenziselwa umsebenzi Wami. Kuyadabukisa kakhulu! Niphila emhlabeni wamahhashi nezinkomo kodwa aninayo inkathazo; nigcwele injabulo futhi niphila ngokukhululeka nakalula. Niyabhukuda niyatshuza kula manzi angcolile kodwa empeleni anazi ukuthi niwele kulezi zimo. Zonke izinsuku uhlangana nemimoya engcolile ube nesivumelwano “nendle.” Impilo yakho isezingeni eliphansi kakhulu, kodwa awuazi nhlobo ukuthi awusaphili emhlabeni wabantu nokuthi impilo yakho ayisekho ezandleni zakho. Awazi ukuthi impilo yakho kade yagxotshwa yimimoya engcolile, nokuthi isimilo sakho kade sangcoliswa ngamanzi anukayo? Ingabe ucabanga ukuthi uphila epharadesi lasemhlabeni, ukuthi uphakathi kwenjabulo? Bewazi yini ukuthi uphile impilo nemimoya engcolile, nokuthi uphile impilo ngayo yonke into oyilungiselelwe yiyona? Impilo yakho ingaba kanjani nokubaluleka? Impilo yakho ingaba kanjani nenani elibalulekile? Selokhu umatasa wehla nenyuka uthunywa ngabazali bakho bemimoya engcolile, kuze kube manje, kodwa awazi ukuthi labo abakuphambayo yiyo leyo mimoya engcolile, abazali bakho abakuzala bakukhulisa. Phezu kwalokho, awazi ukuthi ukungcola kwakho empeleni wakunikezwa yibona; okwaziyo nje ukuthi bangakunikeza “injabulo,” abakukhuzi, futhi abakwahluleli, futhi ke abakuqalekisi. Abakaze babhambaluke ngolaka kinina, kodwa baniphatha kahle nangomusa. Amazwi abo anonophalisa inhliziyo yakho akuthathekise ukuze ukhathazeke ungaboni nokubona, uthunjwa ubhekile futhi uvuma ukuba ubasebenzele, ube yindlela yabo nesisebenzi sabo. Awukhalazi nhlobo kodwa uzimisele ukusetshenziswa yibona—ukhohliswa yibona. Ngenxa yalesi sizathu, awusabeli nakancane ngomsebenzi engiwenzayo—akumangazi ukuthi ufuna ukumonyuluka uphume esandleni Sami, futhi akumangazi ukuthi ngaso sonke isikhathi ufuna ukusebenzisa amazwi amnandi ukuze nithole umusa Wami ngezindlela ezingalungile. Kuvela ukuthi unamanye amacebo, ezinye izinhlelo. Ungabona okuncanyana Kwami, izenzo zikaSomandla, kodwa awazi nokuncane kokwahlulela nokujezisa Kwami. Awazi ukuthi kwaqala nini ukujezisa Kwami; wazi nje kuphela ukungiphanga, kodwa awazi ukuthi angikubekezeleli ukoniwa ngabantu. Njengoba sewuvele uzimisele ukungisebenzela, ngeke ngisakudedela. NginguNkulunkulu ozondayo okubi, nginguNkulunkulu onomhawu ngomuntu. Njengoba sewuvele sewubekile amazwi akho phambi kwe-altare, ngeke ngisabekezelela ukuba usuke phambi kwamehlo Ami, futhi ngeke ngibekezelele ukuba ukhonze amakhosi amabili. Benicabanga ukuthi uzophinde uthande abanye emva kokubeka amazwi akho phambi kwe-altare Lami, emva kokuba uwabeke phambi kwamehlo Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangenze isiwula ngaleyo ndlela? Ingabe ucabanga ukuthi ungenza izifungo nje Kimi ngolimi lwakho? Ungafunga kanjani ngesihlalo Sami sobukhosi, Mina Ophakeme Kakhulu? Ingabe ucabanga ukuthi izifungo zakho sezidlulile? Ngiyanitshela, noma inyama yenu ingadlula emhlabeni, izifungo zenu azikwazi ukudlula. Ekugcineni, ngizonilahla ngokusekelwe ezifungweni zenu. Yize noma kunjalo nicabanga ukuthi ningabeka nje amazwi phambi Kwami ukuze nibhekane Nami kanye nokuthi izinhliziyo zenu zingasebenzela imimoya engcolile nemibi. Ulaka Lwami lungabekezelela kanjani abantu abaphila njengezinja, nanjengezingulube abangiphangayo? Kufanele ngiqhube izimemezelo Zami zokuphatha, ngimuke ezandleni zemimoya engcolile bonke labo abazazisayo “abangcwele” abakholwa Kimi ukuze “bangilinde” ngendlela eqoqekile, ukuba babe inkabi Yami, ihhashi Lami futhi babe semseni wokuhlinzwa Yimi. Ngizokusiza ubuyisele lokho kuzimisela kwangaphambili uphinde ungisebenzele futhi. Ngeke ngibekezelele nasiphi na isidalwa ukuba singiphange. Ubucabanga ukuthi ungavele uphonse izicelo noma kanjani uphinde ungiqambele amanga noma yikanjani nje? Ubucabanga ukuthi angizwanga noma angibonanga izenzo zakho? Kungenzeka kanjani ukuthi amagama nezenzo zakho zifihleke emehlweni Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangiphange ngaleyo ndlela?

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 342)

Selokhu ngiphakathi kwenu, ngizimatanisa nani izintwasahlobo namakwindla amaningana, ngihlale phakathi kwenu isikhathi eside, ngihlale nani—zingakanani izenzo zenu ezinyanyisayo ezingazange zibonwe amehlo Ami? Lawo mazwi asuka ekujuleni kwenhliziyo alokhu enkenteza ezindlebeni Zami; izigidi nezigidi zezintshisekelo zenu zinekwe phambi kwe-altare Lami—azibaleki nokubaleka. Kodwa ukuzinikela kwenu kanye nalokho enikwenzayo, akukho nokuncane. Akukho ngisho neconsi lokuzithoba elivela kinina e-altare Lami. Ziphi izithelo zokholo lwenu Kimi? Nithole umusa ongenamkhawulo Kimi futhi nibone izimfihlakalo ezingabaleki ezivela ezulwini, futhi ngize nganibonisa namalangabi ezulu angikakabi naso isibindi sokuvuthisa izinhliziyo zenu, kodwa pho nina ninginikezeni njengembuyiselo yalokho? Kungakanani enizimisele ukunginikeza kona? Ubambe ukudla engikunike kona, uyaphenduka ukunikeze Mina, uze uthi kuyizinto ozithole ngenxa yezithukuthuku zomsebenzi wakho onzima, ukuthi unikela konke onakho Kimi. Kungenzeka kanjani ungazi ukuthi “iminikelo” yakho Kimi yizo zonke izinto ezintshontshwe e-altare Lami? Futhi manje sewunikeza Mina lokho—awungiphangi na? Kwenzeka kanjani ukuthi ungazi ukuthi konke lokho engikuthokozelayo namuhla yiminikelo ese-altare Lami, hhayi lokho okuzuzile ngomsebenzi wakho wokuzikhandla wase ukunikela Kimi? Unesibindi sokungiphanga ngale ndlela, pho ngingakuxolela kanjani? Ngingaqhubeka kanjani nokubekezela lokhu? Nginikeze yonke into kuwe. Angikugodlelanga lutho, ngihlinzeke izidingo zakho, futhi ngivule amehlo akho, kodwa noma kunjalo ungiphangile ngale ndlela, waziba unembeza wakho. Ngikuphe konke ngokungazigodleli lutho Kimi, ukuze kuthi noma uhlupheka, ube uthole konke Kimi konke engivela nakho ezulwini. Kodwa akukho ongipha kona nhlobo, yize noma unomnikelo omncanyana, unginikeza emva kwalokho. Ngeke yini umnikelo wakho ube okuthile? Lokho onginikeze kona akulutho ngaphezu kwenhlayiya eyodwa yesihlabathi, kodwa okucele Kimi yizindodla zegolide. Ingabe kufanele ngempela lokhu okwenzayo? Ngisebenza phakathi kwenu. Akukho ngisho namaphesenti ayishumi okufanele ngiwathole, angisakhulumi ngeminikelo eyengeziwe. Phezu kwalokho, lokho okweshumi okubuyiswayo yilabo abangcwele kuphucwa yilabo ababi. Ingabe nonke nisabalele nahlukana Nami? Ingabe nonke aniphikisani Nami? Ingabe ninonke anibhidlizi i-altare Lami? Kungenzeka kanjani ukuthi uhlobo lomuntu olunjena lubonakale njengomcebo emehlweni Ami? Ingabe abazona izingulube, izinja engizinyanyayo? Ngingabiza kanjani ukwenza kwakho kwezenzo ezimbi ngomcebo? Umsebenzi Wami ungokabani empeleni? Kungenzeka ukuthi kungenxa yokuba nonke niwiswe phansi ukuze kwambulwe amandla Ami? Ngabe izimpilo zenu nonke azincikile ezwini elilodwa elivela Kimi? Kungani ngisebenzisa amazwi okuyalela kuphela futhi ngingakaguquli amagama aba amaqiniso okuba ngikuwisele phansi ngokushesha? Ingabe amagama Ami nomsebenzi Wami owokugadla ngiwisele phansi isintu? Ingabe nginguNkulunkulu obulala abamsulwa ngokungakhethi? Njengamanje, bangaki kini abeza phambi Kwami nakho konke okwabo bezofuna indlela elungile yokuphila komuntu? Yimizimba yenu kuphela ephambi Kwami, kodwa izinhliziyo zenu zikude le, kude kakhulu Nami. Ngoba anazi ukuthi umsebenzi Wami uyini, baningi benu abafuna ukusuka Kimi, abaziqhelelanisa Nami, kodwa abafuna ukuphila epharadesi lapho kungekho kujeziswa, kungekho kwahlulelwa. Akukona lokho okufiswa ngabantu ezinhliziyweni zabo? Angikucindezeli neze ngalokhu. Noma iyiphi indlela oyithathayo ingukuzikhethela kwakho, futhi indlela yanamhlanje ihamba nokwahlulelwa nesiqalekiso, kodwa nonke kufanele nazi ukuthi lokho engikubeke kini, noma ngabe ukwahlulelwa noma ukujeziswa, konke kuyizipho ezinhle kakhulu enginganinikeza zona, futhi konke kuyizinto enizidinga ngokushesha.

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 343)

Mningi kakhulu umsebenzi engiwenze emhlabeni futhi ngihambe iminyaka eminingi phakathi kwesintu. Kodwa luncane ulwazi abantu abanalo ngokubukeka Kwami nangesimo Sami, futhi bayidlanzana abantu abangawuchaza kahle umsebenzi engiwenzayo. Kuningi abantu abakuntulayo, bahlale bentula ukuqonda ngalokhu engikwenzayo, futhi izinhliziyo zabo zihlale ziqaphile njengokungathi besaba kakhulu ukuthi ngizobafaka kwesinye isimo bese ngingabe ngisabanaka. Ngakho, umbono wabantu Ngami kuhlale kuwukungabi nandaba okuphelezelwa ukuqapha okukhulu. Lokhu kungenxa yokuthi abantu bafike esimweni samanje bengawuqondi umsebenzi engiwenzayo, futhi ngokukhethekile badidwa amazwi engiwakhuluma kubo. Baphatha amazwi Ami ezandleni zabo, bengazi noma kufanele bangakuthathi kalula ukuwakholelwa noma kufanele banqikaze bawakhohlwe. Abazi noma kufanele bawenze yini, noma kufanele balinde babone, noma kufanele babeke eceleni yonke into bese bewalandela ngesibindi, noma baqhubeke nokuba nobungane nezwe njengakuqala. Amazwi abantu angaphakathi ayinkimbinkimbi kakhulu, futhi anobuqili kakhulu. Ngenxa yokuthi abantu abakwazi ukuwabona ngokucacile amazwi Ami futhi abakwazi ukuwabona ngokugcwele, abaningi babo bathwala kanzima lapho bewenza, futhi bathwala kanzima lapho bebeka izinhliziyo zabo phambi Kwami. Ngibuqonda ngokujulile ubunzima benu. Ubuthakathaka obuningi abugwemeki lapho uphila enyamenifuthi amaqiniso amaningi akulethela ubunzima. Wondla umndeni wakho, uchithe izinsuku zakho usebenza kanzima, futhi isikhathi sidlula ukhandlekile. Buningi ubunzima ekuphileni enyameni—angikuphiki lokhu, futhi ngempela izimfuno Zami kini zihambisana nobunzima benu. Zonke izimfuno emsebenzini engiwenzayo zisekelwe esiqwini senu sangempela. Mhlawumbe lapho abantu besebenza esikhathini esidlule, izimfuno zabo kini zazihlangene nezinto ezingaphezu kwamandla, kodwa kufanele nazi ukuthi angikaze ngilokothe ngifune izinto ezingaphezu kwamandla enu kulokho engikushoyo nengikwenzayo. Konke engikufunayo kusekelwe emvelweni yabantu, enyameni nakulokho abakudingayo. Kufanele nazi, futhi nginganitshela ngokucace kakhulu, ukuthi angimelani neminye imicabango enengqondo yabantu nokwakheka kwangempela. Kuphela kungenxa yokuthi abantu abaqondi ukuthi liyini izinga lezimfuno Zami kubo, futhi kuze kube manje abayiqondi incazelo yangempela yamazwi Ami, abantu basawangabaza amazwi Ami, futhi bangaphansi kwesigamu abantu abakholelwa amazwi Ami. Abasele abawona amakholwa, nangaphezu kwalokho yilabo abathanda ukungizwa “ngixoxa izindaba.” Ngaphezu kwalokho, kunabaningi abajabulela ukubukwa. Ngiyanixwayisa: Amazwi Ami amaningi asembuliwe kulabo abakholelwa Kimi, futhi labo abajabulela ukubukeka kahle kombuso kodwa abavaleleke ngaphandle kwesango, sengibaqothulile. Anilona yini ukhula engilunyanyayo nengiluchithile? Ningangivalelisa kanjani Mina bese ningamukela ngenjabulo lapho ngibuya? Ngiyanitshela, ngemva kokuba abantu baseNineve bezwe amazwi kaJehova anentukuthelo, baphenduka ngokushesha bagqoka izindwangu zamasaka bahlala emlotheni. Kwakungenxa yokuthi babewakholelwa amazwi Akhe nokuthi babegcwele ukwesaba nengebhe futhi baphenduka bembatha indwangu yesaka bahlala emlotheni. Futhi nakuba abantu banamuhla nabo bewakholwa amazwi Ami futhi okukhulu nakakhulu bekholelwa ukuthi uJehova usephinde waba phakathi kwabo namuhla, umbono wenu awunalutho, kunjengokungathi nibona uJesu owazalelwa eJudiya eminyakeni eyizinkulungwane eziningi ezedlule futhi manje owehlele phakathi kwenu. Ngiyiqonda ngokujulile inkohlakalo esezinhliziyweni zenu; abaningi kini bangilandela benelukuluku futhi bazele ukuzongifunela ize. Lapho kuqedwa ngesifiso senu sesithathu—sokuphila okunokuthula nokujabulisayo—ilukuluku lenu liphelela emoyeni. Inkohliso ekhona ngaphakathi ezinhliziyweni zenu nonke idalulwa ngamazwi nezenzo zenu. Ukukhuluma iqiniso, nimane ninelukuluku lokwazi Ngami, aningesabi; anilunaki ulimi lwenu, futhi nibonisa ukuzibamba ekuziphatheni kwenu. Ngakho, lunjani ngempela ukholo lwenu? Ingabe luqotho? Nimane nisebenzisa amazwi Ami ukuze nixoshe izinkathazo zenu futhi nichithe isizungu, ugcwalise isikhala esingenalutho empilweni yakho. Ubani phakathi kwenu oke wawenza amazwi Ami? Ubani onokholo lwangempela? Nilokhu nimemeza nithi uNkulunkulu unguNkulunkulu obona ekujuleni kwezinhliziyo zabantu, kodwa uNkulunkulu enimemeza ngaye unjani uma eqhathaniswa Nami? Njengoba nimemeza kanjena, kungani nenza ngaleyo ndlela? Kungenzeka yini ukuthi lolu uthando enifuna ukungibuyisela ngalo? Akukho ngisho nokuncane ukuzinikela ezindebeni zenu, kodwa ikuphi imihlatshelo yenu, kanye nezenzo zenu ezinhle? Ukube bekungekho ngenxa yamazwi enu afinyelela ezindlebeni Zami, benginganizonda kanjani kangaka? Uma ukholelwa ngempela Kimi, ungawela kanjani esimweni esinjalo sosizi? Nibukeka nicindezelekile ebusweni benu njengokungathi ningamaHayidesi alinde uvivinyo. Aninabo nobuncane ubungqabavu, futhi nikhuluma ngendlela engagculisi ngezwi lenu elingaphakathi; nize nigcwale izikhalo neziqalekiso. Kade naphelelwa yithemba kwengikwenzayo, futhi nokuzethemba kwenu kweqiniso sekushabalele, ngakho ningalandela kanjani kuze kube sekugcineni? Ningasindiswa kanjani ngale ndlela?

Kucashunwe embhalweni othi “Amazwi Aya Kwabasha Nabadala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 344)

Nakuba umsebenzi Wami uwusizo kakhulu kini, kodwa amazwi Ami ahlale elahlekile kini futhi aphenduka ize kini. Kunzima ukuthola isizathu sokupheleliswa Yimi futhi namuhla ngicishe ngaphelelwa yithemba kini. Ngifune iminyaka eminingi phakathi kwenu kodwa kunzima ukuthola isethenjwa. Ngizizwa ngingenakho ukuzethemba kokuqhubeka ngisebenza nani, futhi ngingenalo uthando lokuqhubeka ngisebenza nani. Lokhu kungenxa yokuthi kade ngacasulwa yilezo zinto zenu “enizifezile” ezingathi shu; kunjengokungathi angikaze ngikhulume phakathi kwenu futhi angikaze ngisebenze phakathi kini. Izinto enizifezile zenyanyisa kakhulu. Nihlale nizilimaza futhi nizihlazisa, kanti cishe anibalulekile. Kunzima ukuthola inswebu yobuntu kini noma ukuzwa iphunga elimnandi labantu. Liphi iphunga lenu elimnandi? Liphi inani enilikhokhe yonke le minyaka eminingi, futhi iphi imiphumela? Anikaze niyithole? Umsebenzi Wami manje unesiqalo esisha. Ngizofeza amacebo amakhulu futhi ngifuna ukuqala umsebenzi omkhulu nakakhulu, kodwa nisazibhuqabhuqa odakeni njengakuqala, niphila emanzini angcolile asesikhathini esidlule, futhi anikasihlubuli ngokoqobo isimo senu esidala. Ngakho anikazuzi lutho emazwini Ami. Anikayihlubuli indawo yenu endala enodaka namanzi angcolile, futhi nazi amazwi Ami kuphela, kodwa eqinisweni anikangeni embusweni wenkululeko yamazwi Ami, ngakho amazwi Ami awakaze avuleke kini, afana nencwadi yeziprofetho ebilokhu ivaliwe izinkulungwane zeminyaka. Ngiyaninxusa ezimpilweni zenu kodwa nihlale ningaqaphile futhi aningiqapheli nokungiqaphela. Cishe ingxenye yamazwi engiwashoyo iyisahlulelo kini, futhi ingxenye yawo inomphumela okufanele ibe nawo, okuwukuthi ukufaka ukwesaba okujulile ngahakathi kini. Ingxenye esele ingamazwi anifundisa ngempilo nendlela okufanele niziphathe ngayo, kodwa kunjengokungathi awekho ngenxa yenu, nanjengokungathi nilalele amazwi okudlalisa izingane, nokuyilapho enihlale nimamatheka khona ngokuzenzisa, bese kungabi nalutho olwenziwayo. Anikaze nilokothe nikhathazeke ngalezi zinto; benihlale niqaphela izenzo Zami ninelukuluku ngezinga lokuthi manje seniwele ebumnyameni futhi anikwazi ukubona ukukhanya, ngakho nikhala kabuhlungu ebumnyameni. Engikufunayo ukulalela kwenu, ukulalela kwenu okungenambandela nokungaphezulu, ngifuna niqiniseke ngakho konke engikushoyo. Akufanele nibe nombono wokunganaki futhi ikakhulu akufanele nithathe izinto engizishoyo ngokuzikhetha, futhi ningabi nandaba ngamazwi Ami kanye nomsebenzi Wami. Kwenziwa umsebenzi Wami phakathi kwenu futhi ngibeke umsebenzi Wami omkhulu phezu kwenu, kodwa uma ningiphamba ngale ndlela, engingakwenza nje ukuphisana ngalokho ebeningakakuzuzi futhi ebeningakakwenzi emindenini yabeZizwe. Yini phakathi kwendalo engekho ezandleni Zami? Abaningi phakathi kwenu “bangabenkathi endala evuthiwe” futhi aninawo amandla okwamukela lolu hlobo lomsebenzi enginawo. Nifana nenyoni iHanhao,[a] ngokuba khona nje, anikaze niwabheke njengabalulekile amazwi Ami. Abantu abasha abanalutho ngokwedlulele futhi bayazitika, abawunaki umsebenzi Wami. Abacabangi ukuthi bangadla emadilini Ami ehla esiphundu; bafana nenyoni encane ephume esidlekeni sayo yiye kude. Lolu hlobo lwabantu abasha nabadala lungasebenziseka kanjani Kimi?

Kucashunwe embhalweni othi “Amazwi Aya Kwabasha Nabadala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Indaba yenyoni iHanhao ifana kakhulu nenganekwane ka-Aesop yentuthwane nentethe. Inyoni iHanhao ikhetha ukulala esikhundleni sokwakha isidleke ngenkathi isimo sezulu sisafudumele—naphezu kwezexwayiso eziningi ezivela kumakhelwane wayo, igwababa. Uma ubusika bufika, inyoni iyagodola ife.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 345)

Nakuba nina basha nonke nifana namawundlu ezingonyama, kuyaqabukela ukuthi nibe nendlela yeqiniso ezinhliziyweni zenu. Ubusha benu abunakuzuza okuningi emsebenzini Wami, kodwa nihlale ningenza nginengeke kini. Nakuba nibancane, kuphakathi kokuthi nithatha izinto kalula noma nintula isifiso, nihlale ningundaza ngekusasa lenu; kuba sengathi aninandaba futhi nikhathazekile. Kungashiwo ukuthi ukubaluleka, imiyalo, nombono othathiwe okufanele utholakale kubantu abasha akunakutholakala nhlobo kini; nina, lolu hlobo lwentsha, aninamyalo futhi aninalo ikhono lokuhlukanisa okulungile nokungalungile, okuhle nokubi, okubukeka kahle nokubukeka kabi. Akunakwenzeka ukuthola izinto ezintsha kini. Cishe niyisidala ngokugcwele, futhi nina, lolu hlobo lwentsha, senifunde ukulandela iningi, ukungahluzeki engqondweni. Anikwazi ukwehlukanisa ngokucacile okulungile kokungalungile, anikwazi ukwehlukanisa izindaba ezingamanga neziyiqiniso, aniyiphokopheleli impumelelo, futhi anikwazi ukusho okulungile nokungalungile, okuyiqiniso, nokuwukuzenzisa. Kini kukhona iminonjana ebulalayo yenkolo embi kakhulu kunakubantu abadala. Nize nibe nenkani, ningasebenzisi ingqondo, niyancintisana, futhi ulaka lwenu luyindaba enkulu—uhlobo olunjena lwentsha lungaba kanjani neqiniso? Umuntu ongenambono angakwazi kanjani ukufakaza? Umuntu ongakwazi ukuhlukanisa okulungile nokungalungile angabizwa kanjani ngomuntu omusha? Umuntu ongenabo ubungqabavu, ugqozi, ubusha, ukuzola, nokuma aqine komuntu omusha angabizwa kanjani ngomlandeli Wami? Umuntu ongenalo iqiniso noma umuzwa wobulungiswa, kodwa othanda ukudlala nokulwa, angafanelekela kanjani ukuba ufakazi Wami? Amehlo abantu abagcwele inkohliso nobandlululo akufanele kube awabantu abasha, nalabo abaletha imbubhiso, nezenzo ezinyantisayo akufanele kube abantu abasha. Akufanele bangabi nazimiso, ugqozi, noma isisekelo sokwanda kwentshiseko; akufanele bakhathazeke ngamathemba abo futhi akufanele balahlekelwe ithemba empilweni noma ithemba ngekusasa; kufanele babe nesineke sokuqhubeka nendlela yeqiniso abayikhethile manje—ukuze babone isifiso sabo sokwandisa izimpilo zabo ngenxa Yami; akufanele bangabi nalo iqiniso, futhi akufanele bafihle ubuzenzisi nokungalungi—kufanele bame baqine embonweni ofanele. Akufanele bamane nje babe othathekile, kodwa kufanele babe nomoya wokuzimisela ukuzinikela futhi balwele ubulungisa neqiniso. Intsha kufanele ibe nesibindi ingavumi ukucindezelwa amandla obumnyama nokuthi kuguqule ukubaluleka kokuba khona kwayo. Abantu abasha akufanele bazinikele enhluphekweni, kodwa kufanele bavuleke futhi baqine emoyeni wokuthethelela abafowabo nodadewabo. Ngempela lezi izimfuno Zami kuwo wonke umuntu kanye neseluleko Sami kuwo wonke umuntu. Ngaphezu kwalokho, zingamazwi Ami aduduzayo kuyo yonke intsha. Kumele nenze ngokuvumelana namazwi Ami. Ikakhulu intsha, akufanele ingabi nesinqumo sokuqonda ezinkingeni, nasekufuneni ubulungiswa neqiniso. Okufanele nikufune yizo zonke izinto ezinhle nezilungile, futhi kufanele nibe nesimo esingokoqobo sezinto ezinhle. Futhi kufanele ninakekele izimpilo zenu, futhi ningazithathi kalula. Abantu beza emhlabeni futhi kuyivela kancane ukuhlangana Nami, futhi kuyivela kancane nokuba nethuba lokufuna nokuzuza iqiniso. Kungani ungeke usazise lesi sikhathi esihle njengendlela efanele yokuphila? Futhi kungani sihlale singalinaki iqiniso nobulungiswa? Kungani nihlale ninganaki futhi nizonakalisa ngalezo zinto ezingalungile nezingcolile ezidlala abantu? Futhi kungani nenza izinto ezenziwa abangalungile njengabantu abadala? Kungani nilingisa izindlela ezindala zezinto ezindala? Izimpilo zenu kufanele zigcwale ubulungiswa, iqiniso, nobungcwele; izimpilo zenu akufanele nizonakalise kangaka nisebancane kangaka, ziniholele ekubeni niwele eHayidesi. Anicabangi yini ukuthi lokhu kuyishwa elikhulu? Anicabangi yini ukuthi lokhu akunifanele nhlobo?

Kucashunwe embhalweni othi “Amazwi Aya Kwabasha Nabadala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 346)

Uma umsebenzi omngaka namazwi amangaka engakuthinti, kuyothi lapho kufika isikhathi sokusakaza umsebenzi kaNkulunkulu uyohluleka ukwenza umsebenzi wakho futhi uyohlazeka uphinde ululazeke. Ngaleso sikhathi uyozwa sengathi umkweleta okuningi uNkulunkulu nokuthi ulwazi onalo ngoNkulunkulu luyobe lukha phezulu. Uma ungalufuni ulwazi ngoNkulunkulu namuhla, njengoba esasebenza, ngokuhamba kwesikhathi kuyobe sekubhedile. Ekugcineni luyobe lungasekho ulwazi ongakhuluma ngalo—uyosala ulambatha, ungenalutho. Yini oyokwazi ukuyisebenzisa ekulandiseni kuNkulunkulu? Unaso isifiso sokubheka kuNkulunkulu? Manje, kumele uzame ukusebenza kanzima ezintweni ozifunayo, ukuze ekugcineni, ube njengoPetru, wazi ukuthi kuzuzisa kanjani iukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kumuntu nokuthi wazi ukuthi ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwaakhe umuntu ngeke asindiswe kunalokho angacwila ekungcoleni kwakhe, acwile nakakhulu obishini. Abantu bonakaliswa uSathane, omunye unake omunye futhi omunye uchachaza ekhanda lomunye, abasamesabi uNkulunkulu futhi ukungalaleli kwabo kukhulu kakhulu, sebenemibono eminingi futhi yonke ngekaSathane. Ngaphandle kokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, isimo somuntu esikhohlakele ngeke sihlanzwe futhi ngeke asindiswe. Lokho okuboniswa yimisebenzi kaNkulunkulu osamuntu esenyameni yilokho okuvezwa nguMoya nokuthi umsebenzi awenzayo yilowo owenziwe nguMoya. Namuhla, uma ungenalo ulwazi ngomsebenzi Wakhe kusho ukuthi uyisiphukuphuku futhi kuningi okukulahlekele! Uma ungakayitholi insindiso kaNkulunkulu kusho ukuthi ukholo lwakho lungolwenkolo nokuthi ungumKristu wenkolo. Imisebenzi emisha kaMoya Oyingcwele ikulahlekele ngenxa yokuthi ubambelele emfundisweni efile kanti abanye abafuna ukuthanda uNkulunkulu bayakwazi ukuthola iqiniso kanye nokuphila, kuyilapho ukholo lwakho lungakwazi ukwamukelwa nguNkulunkulu. Kunalokho usuphenduke umenzi wokubi, owenza izinto ezilimazayo nezingathandeki, usuphenduke isisulu senhlekisa kaSathane nesigqila sakhe. UNkulunkulu akayena owukuba umuntu akholelwe kuye kodwa kufanele athandwe, afunwe futhi akhonzwe ngumuntu. Uma ungamfuni namuhla, usuku luyofika lapho uyothi khona, “Ngalesiya sikhathi angimlandelanga ngani ngokufanele uNkulunkulu, angamenelisa ngokufanele, angafuna izinguquko esimweni sempilo yami? Yeka indlela engizisola ngayo ngokuthi angizange ngizinikele kuNkulunkulu ngaleso sikhathi, futhi angizange ngifune ulwazi ngezwi likaNkulunkulu. Kuningi uNkulunkulu akusho ngaleso sikhathi; kungani ngingazange ngimfunisise? Ngibe yisiphukuphuku!” Uyozenyanya ngezinga elithile. Namuhla awuwakholwa amazwi engiwashoyo futhi awuwanakile; lapho kufika usuku lokuba umsebenzi Wakhe usabalale, uyowabona ngobuningi bawo, uyozisola futhi ngaleso sikhathi uyomangala kakhulu. Kunezibusiso kodwa awazi ukuthi ungazijabulela kanjani, futhi kuneqiniso kodwa awulilweli. Ingabe awuziletheli ukweneliseka? Namuhla, nakuba sekuseduze ukuba isinyathelo esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu siqale, ayikho into ebaluleke njengalokho okufuneka kuwe nalokho okufanele uphile ngakho. Miningi imisebenzi namaqiniso; ingabe akufanele ukuba kwaziwe nguwe? Ingabe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ngeke sawuvusa umoya wakho? Ingabe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ngeke kukwenze uzenyanye? Ingabe wanelisekile ngokuphila ngokuthula nangokujabula, nangokweneliseka kwenyama okwesikhashana ngaphansi kwethonya likaSathane? Awuyena yini ophansi kunabo bonke abantu? Akekho oyisilima njengalowo obone insindiso kodwa wangalwela ukuyizuza: laba ngabantu abazitika ngenyama futhi abajabula ngoSathane. Uthembela ekutheni ukholo lwakho kuNkulunkulu aluzoba nezinselele noma nezinsizi noma ubunzima obungatheni. Uhlezi ulwela lezo zinto ezingenanzuzo futhi ukuphila kwakho awukwenzanga kwaba nenjongo, kunalokho ubeka imicabango yakho ngaphambi kweqiniso. Awulusizo lwalutho! Uphilisa okwengulube—yimuphi umehluko phakathi kwakho nezingulube nezinja? Ingabe bonke labo abangalifuni iqiniso kunalokho bathanda inyama, abazona yini izilwane? Ingabe labo abafile abangenawo umoya abazona yini izidumbu ezihambayo? Mangaki amagama akhulunywe kuwe? Ingabe mncane umsebenzi owenziwe kuwe? Kungakanani engikunike khona? Ngakho kungani ungazange ukuthathe? Yini ongakhala ngayo? Akukhona yini ukuthi awuzuzanga lutho ngenxa yokuthi uyithanda kakhulu inyama yakho? Futhi akukhona yini ukuthi imicabango yakho ibinehaba? Akukhona yini ukuthi uyisiphukuphuku? Uma ungakwazi ukuthola lezi zibusiso, ungamsola yini uNkulunkulu ngokungakusindisi? Lokho okufunayo ukuthola ukuthula ngemva kokukholelwa kuNkulunkulu—ukuze izingane zakho zikhululeke ekuguleni, umyeni wakho athole umsebenzi oholela kahle, indodana yakho ithole umfazi omuhle, indodakazi yakho ithole umyeni okahle, izimbongolo kanye namahhashi kukulimele kahle umhlabathi, unyaka ube nesimo sezulu esihle ukuze izitshalo zakho zingashi. Yilokhu okufunayo. Ufuna kuphela ukuphila ngokunethezeka, ukuba kungenzeki ngozi emndenini wakho, isiphepho singakuthinti, ubuso bakho bungathintwa nayitshe elincane, zingakhukhuleki izitshalo zomndeni wakho, ungathintwa nayinoma iyiphi inhlekelele yemvelo, ukuba uphile ekwamukelweni nguNkulunkulu, uphile ngaphansi kwesivikelo esifudumele. Igwala elinjengawe, elihlezi lifuna okwenyama—unayo inhliziyo, unawo umoya? Ingabe uwusona isilwane? Ngikunika indlela yeqiniso ngaphandle kokuba ngilindele ukuba ungibuyisele okuthile, kodwa wena akukho ukuzikhandla okwenzayo. Awuyena yini omunye wabakholelwa kuNkulunkulu? Ngibeka ukuphila kwangempela komuntu kuwe, nokho wena awenzi lutho. Ingabe ukhona umehluko phakathi kwakho nengulube noma nenja? Izingulube zona azikufuni ukuphila komuntu, azikudingi ukuhlanzwa futhi azikuqondi ukuthi ukuphila kuyini. Njalo ngosuku, uma nje sezidle zasutha, zivele zizilalele. Mina ngikunikeze indlela yeqiniso, nokho wena awukakayitholi: Awazi lutho. Ingabe uzimisele ukuphila lokhu kuphila, ukuphila kwengulube? Sikuphi isidingo sokuphila kwabantu abanjalo? Ukuphila kwakho akuyilutho futhi kuyanyanyeka, uphila emanyaleni futhi ayikho imigomo onayo; ingabe ukuphila kwakho kubi ukwedlula bonke ububi? Ingabe uyanyanya lapho ubheka uNkulunkulu? Uma uqhubeka uzizwa kanjalo, ngeke yini ulahlekelwe yikho konke? Indlela yeqiniso uyinikiwe, kodwa ukuthi uyayithola noma cha kuncike ezintweni ozilwelayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 347)

Inyama yakho, izifiso zakho eziwukumosha, umhawu wakho, inkanuko yakho kwakhele kwajula kuwe. Lezi zinto zilawula inhliziyo yakho njalo njalo ngendlela yokuthi awunamandla okulahla lelijoka laleyo micabango elwayo futhi ephuphile. Awufisi ukushintsha isimo sakho samanje, ube futhi ungafisi ukuphunyuka ekuqhutshweni ubumnyama. Umane uboshiwe yilezo zinto. Noma ngabe wazi ukuthi impilo enje ibuhlungu nokuthi izwe elinje limnyama kakhulu, kodwa namanje, akukho namunye wenu onesibindi sokushintsha impilo yalolu hlobo. Ulangazelela nje kuphela ukuphunyuka kule nhlobo yempilo yangempela, ukukhulula imiphefumulo yenu enhluphekweni, futhi uphile endaweni enoxolo, nenjabulo nefana nezulu. Awuzimisele ukubhekana nobunzima bokushintsha impilo yakho yamanje; ube futhi ungafuni ukucinga phakathi kwalokhu kwahlulelwa nesijeziso impilo okufuneka ungene kuyo. Kunalokho, uphupha amaphupho angenakwenzeka nhlobo, ngaleliya zwe elihle ngaphesheya kwenyama. Impilo oyifisayo yile ongayithola kalula nje ngaphandle kokuzwa ubuhlungu. Lokho ngeke kwenzeke nhlobo! Ngoba lokhu onethemba lakho, akuve kuwukuphila impilo enohlonze enyameni nokuzuza iqiniso ekuqhubekeni kwempilo, okungukuthi, ukuphilela iqiniso kanye nokumela ubulungiswa. Lokho akukona ongakubuka njengempilo ehlabahlosile, ewubukhazikhazi. Uzwa sengathi lena ngeke kube impilo enobukhazikhazi noma enohlonze. Ngokubuka kwenu, ukuphila impilo enjalo bekuyozwakala kungenabulungiswa! Nanoma usemukela lesi sijeziso namhlanje, kodwa empeleni okulandelayo akukona ukuzuza iqiniso, noma ukuphila iqiniso njengamanje, kodwa ukuba ungene empilweni enenjabulo ngale kwenyama, emuva kwalokhu. Awuhambi ufunana neqiniso, awumeli iqiniso, futhi awuphileli iqiniso. Awuphokophelele ukungena namuhla, kodwa kunalokho uhlala ucabanga “ngelinye ilanga”, ubheke esibhakabhakeni esiluhlaza, ukhala izinyembezi ezinomunyu, futhi ulindele ukuthathwa uyiswe ezulwini ngelinye ilanga. Awazi ukuthi lokhu kucabanga kwakho akuhambisani neqiniso? Ulokhu ucabanga ukuthi uMsindisi onomusa ongapheli nozwelo uyofika nakanjani, ngolunye usuku akuthathe ahambe nawe, wena obekezelele ubunzima nokuhlupheka kulo mhlaba, nanokuthi uyokuphindiselela nakanjani, wena okade uhlukunyezwa noma ucindezelwe. Awugcwele isono na? Uwena wedwa oke wahlupheka kulomhlaba? Wena uqobo uwele endaweni kaSathane, wahlupheka, kepha usadinga ukuthi uNkulunkulu akuphindiselele? Labo abangakwazi ukwenelisa imigomo kaNkulunkulu—ngabe uNkulunkulu usadinga ukukuphindiselela ngempela? Labo abangakholelwa kuNkulunkulu osenyameni—ababona yini abaphikikristu? Izenzo zakho ezinhle zisho ukuthini? Zingayithatha indawo yenhliziyo ekhonza uNkulunkulu? Awukwazi ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu ngokuthi nje wenze izenzo ezinhle futhi uNkulunkulu angeke akuphindiselele ngenxa yokuthi kade uhlukunyezwa noma ucindezelwe. Labo abakholelwa kuNkulunkulu kodwa bebe bengamazi, kodwa abenza izenzo ezinhle—nabo abajeziswa ndawonye ngokufana na? Ukholelwa kuNkulunkulu nje kuphela, ufuna uNkulunkulu akulungisele futhi akuphindiselele ngamaphutha enziwe kuwe, futhi ufuna uNkulunkulu akunike intuba yokuphuma enhluphekweni yakho. Kodwa uyenqaba ukulalela iqiniso; ube futhi ungalilangazelele ukuliphila iqiniso.Ngeke-ke nakancane uphunyuke kule mpilo enzima engenalutho. Kunalokho, lapho usaphila impilo yakho enyameni nempilo yakho yesono, ubheka ngokulangazelela kuNkulunkulu ukuthi alungise izikhalazo zakho bese embula inkungu yokuphila kwakho. Lokhu kungenzeka kanjani? Uma uneqiniso, ungamlandela uNkulunkulu. Uma umphilela, ungaba isibonakaliso sezwi likaNkulunkulu.Uma unempilo, ungasithokozela isibusiso sikaNkulunkulu. Labo abaneqiniso bangathokozela isibusiso sikaNkulunkulu. UNkulunkulu uyaqinisekisa ngokulungisela labo abamthanda ngokuphelele futhi bebekezelela ubunzima nezinhlupheko, hhayi labo abazithanda bona nje kuphela futhi asebengene ekukhohlisweni nguSathane. Kungaba khona kanjani ukulunga kulabo abangalithandi iqiniso? Kungaba khona kanjani ukulunga kulabo abathanda inyama nje kuphela? Ukulunga nobuhle konke akuphathelene yini neqiniso? Akuve kubekelwe kuphela, labo abamthanda ngenhliziyo yonke uNkulunkulu? Labo abangalithandi iqiniso futhi bemane beyizidumbu ezibolayo nje akuve bonke laba bantu bequkethe ububi nje? Labo abangakwazi ukuphila iqiniso—abazona bonke izitha zeqiniso? Kuthiwani ngawe?

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 348)

Ukuphatha umuntu umsebenzi Wami, nokumenza ukuba anqontshwe Yimi kwakumiswe endulo ngenkathi ngidala umhlaba. Abantu abazi ukuthi ngizobanqoba ngokuphelele ezinsukwini zokugcina, futhi abakaqapheli ukuthi ubufakazi Bami bokunqoba uSathane ukunqoba labo bantu abangalaleli. Kodwa besengisitshelile isitha Sami ngenkathi sishikashikeka Nami ukuthi ngizoba umnqobi walabo abathathwe uSathane nokukade baphenduka abantwana bakhe, nezisebenzi zakhe ezithembekile ezilinde umuzi wakhe. Incazelo yasekuqaleni yomnqobi ukunqoba, ukudumaza. Ngendlela abantu bakwa-Israyeli abayibeka ngayo, ukunqoba ngokuphelele, ukushabalalisa, nokwenza umuntu angakwazi ukungivimbela futhi. Kodwa namuhla njengoba isetshenziswa yinina bantu, incazelo yako ukunqoba. Nifanele ukwazi inhloso Yami ukuqeda nya nokuchitha omubi kubantu, ukuze angaphinde angihlubuke, angabi ngisho nanomoya wokuthikazisa noma wokuphazamisa umsebenzi Wami. Kanjalo, ngokuya ngabantu, kusho ukunqoba. Noma ngabe lichazani leli gama, umsebenzi Wami ukunqoba abantu. Ngoba ngempela abantu bawumfakela ekuphatheni Kwami, kodwa uma ngiqinisekisa kahle, umuntu uyena oyisitha Sami. Umuntu nguye omubi omelene Nami nongangilaleli. Umuntu uyena oyinzalo yomubi, lowo oqalekisiwe Yimi. Umuntu uyena isizukulwane sengilosi enkulu eyangikhaphela. Umuntu uyifa likasathane ebeselivele lenyanyeka lalahlwa Yimi futhi langqubuzana Nami. Isibhakabhaka esiphezu kwabo bonke abantu sihwaqabele futhi simnyama seswele ngisho ukulokoza kokucwengeka. Umhlaba womuntu usebumnyameni obumnyama, futhi uma ehlala kubo angebone ngisho isandla sakhe uma uselula phambi kwakhe futhi angeke alibone ilanga lapho ephakamisa ikhanda lakhe. Indlela ngaphansi kwezinyawo zakhe inodaka futhi ivame ngemigodi, futhi imazombe, iyazungeleza; izwe lonke lingcoliswe yizidumbu. Amakhona asebumnyameni agcwele izinsalela zabafileyo. Amakhona apholile namnyama agcwele uquqaba lwamademoni azulayo efuna ukuhlala kuwo. Esikhathini sonke sabantu amademoni azulayo ayafika ahambe. Inzalo yezilwane eziningi ezihaqwe ukungcola ziyalwa ngokubambisana, kumshikashika ononya, umsindo wazo ovusa uvalo enhliziyweni. Ezikhathini ezinjalo, emhlabeni onjalo, “nepharadesi lasemhlabeni” elinjalo, uya kuphi umuntu ukuyofuna izibusiso zempilo? Uya kuphi ukuyofuna ukuphela kwempilo? Abantu kade benyathelwa ngaphansi kwezinyawo zikaSathane, belingisa umfanekiso kaSathane futhi behlanganiswa nawo. Bayisiqiniseko sokuba “ofakazi abezwakala kahle” bakaSathane. Abantu abanjalo, amakhoba, noma inzalo enjalo yalo mndeni wabantu okhohlakele, bangamfakazela kanjani uNkulunkulu? Ivela kuphi inkazimulo Yami? Uphi ufakazi Wami? Isitha esimelene Nami futhi esonakalisa abantu sesimngcolisile umuntu, indalo Yami, egcwele inkazimulo Yami nokuphila ngendlela Yami. Sintshontshe inkazimulo Yami, nalokho esikufake kumuntu ushevu kuphela oboshwe kakhulu ngobubi bukaSathane nojuzi ovela esithelweni somuthi wokwazi okuhle nokubi. Ekuqaleni, ngadala umuntu, okusho ukuthi, ngadala ukhokho womuntu, u-Adamu. Ubebambeka edaliwe, egcwele impilo, egcwele amandla, ngaphezu kwalokho, ehambisana nenkazimulo Yami. Kwakuwusuku olujabulisayo mhla ngimdala umuntu. Ukulandela lokho, u-Eva wavela emzimbeni ka-Adamu, ongukhokho wabantu, ngakho abantu abayizidalwa Zami bebegcwele umphefumulo Wami bechichima inkazimulo Yami. U-Adamu wavela ngesandla Sami futhi ubemele umfanekiso Wami. Kanjalo incazelo yasekuqaleni "ka-Adamu” bekufanele abe indalo Yami egcwaliswe amandla, igcwaliswe inkazimulo Yami, ebambekayo futhi esesimweni esihle, enomoya nomphefumulo. Ubeyisidalwa esisodwa esinikezwe umoya ongamela Mina, sibe nomfanekiso Wami sithole nomphefumulo Wami. Ekuqaleni u-Eva wayengumuntu wesibili owaphiwa umphefumulo enganginqume ukumdala, ngakho incazelo yasekuqaleni “ka-Eva” ibifanele ibe ukudala ukuqhubekisa inkazimulo Yami, egcwaliswe ngamandla futhi aphinde aphiwe inkazimulo Yami. U-Eva waphuma ku-Adamu, ngakho ubengumfanekiso Wami naye, ngoba wayengumuntu wesibili owayedalwe ngomfanekiso Wami. Incazelo yasekuqaleni “ka-Eva” bekufanele kube isidalwa esiphilayo, esinikezwe umoya, esiphila enyameni nasemathanjeni, okungubufakazi Bami besibili kanye nomfanekiso Wami wesibili kubantu. Bebengokhokho babantu, ingcebo yabo emsulwa neyigugu kakhulu, izidalwa eziphilayo kwasekuqaleni ezinomoya. Noma kunjalo omubi esenyatheliwe waphanga inzalo yokhokho babantu, evalela umhlaba womuntu ebumnyameni obukhulu, ngendlela yokuthi le nzalo ayisakholelwa kubukhona Bami. Okunyanyisa kakhulu wukuthi ngaso leso sikhathi uma omubi ona futhi enyathela abantu, unya luthatha inkazimulo Yami, ubufakazi Bami, amandla engiwehlisele kubantu, umphefumulo nokuphila engakuphephethela kubo, inkazimulo Yami yonke emhlabeni womuntu, kanye nawo wonke umzamo engiwufake kumuntu. Umuntu akasekho ekukhanyeni, futhi ulahlekelwe yikho konke engimnike kona, elahla inkazimulo engimnike yona. Bangavuma kanjani ukuthi ngiyiNkosi yendalo? Bangakholelwa kanjani ebukhoneni Bami ezulwini? Bazofumanisa kanjani isibonakaliso senkazimulo Yami emhlabeni? Laba bazukulu bazomamukela kanjani uNkulunkulu owayehlonishwa okhokho babo njengeNkosi yendalo? Laba bazukulu abadumazayo “bethule” ngobubele komubi inkazimulo, umfanekiso kanye nobufakazi engabunikeza u-Adamu no-Eva, nempilo engayipha abantu ukuthi bancike kuyo, benganake lutho ngobukhona bomubi, benikela yonke inkazimulo Yami kuye. Ngabe akusona isisusa sesihloko “samakhoba”? Angenza kanjani umuntu onje, amademoni amabi kangaka, izidumbu ezihambayo, izithombe zikaSathane, izitha Zami ezinjalo zibe nenkazimulo Yami? Ngizoyithatha inkazimulo Yami, ngithathe ubufakazi Bami kubantu nakho konke okuke kwaba Okwami, engakunika umuntu kudala—ngimnqobe ngokuphelele umuntu. Noma kunjalo ufanele ukwazi, abantu engibadalile bebengcwele benomfanekiso Wami nenkazimulo Yami. Bebengebona ekuqaleni abakaSathane, noma bekhonza bengaphansi kokunyathelwa nguye kodwa beyisibonakaliso Sami esimsulwa, singenawo nomkhonjwana omncane woshevu wakhe. Kanjalo-ke, ngazisa wonke umuntu ukuthi ngifuna lokho okwakudalwe yisandla Sami kuphela. Abami abathandekayo abangazange baze babe ngaphansi kwanoma iyiphi inhlangano. Phezu kwalokho, ngizobajabulela ngibabone njengenkazimulo Yami. Kodwa, engikufunayo akuyena umuntu owoniwe nguSathane, ongokaSathane namuhla ongesesiyona indalo Yami yasekuqaleni. Ngoba ngifuna ukubuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wabantu, Ngizonqoba ngokuphelele kulabo abasele abangabanqobi babantu, njengobufakazi benkazimulo Yami ekunqobeni Kwami uSathane. Ngithatha ubufakazi Bami njengomfanekiso Wami, njengento yenjabulo Yami. Lokho yinhloso Yami.

Kucashunwe embhalweni othi “Okushiwo Ukuba Umuntu Woqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 349)

Umuntu uthuthuke iminyaka eyizinkulungwane ezingamashumi zomlando ukufika lapho bekhona namuhla. Kodwa, abantu bendalo Yami yasekuqaleni bacwile enkohlakalweni kudala. Sebeyilokhu ebengingakuhlosile, ngakho abantu, ngendlela engibabona beyiyo, abakufanele ukubizwa ngabantu. Bangamakhoba abantu, baphangwe uSathane bayizidumbu ezibolile lezo uSathane ahlala kuzo futhi azigqokile. Abantu abakholelwanga nakancane kubukhona Bami, noma bamukele ukufika Kwami. Abantu basabela ezicelweni Zami ngokukhononda kuphela, bavumelane nazo okwesikhashana, bangabelani Nami ngobuqotho injabulo nosizi. Njengoba abantu bengibona njengongenakuqondwa ngokukhononda bangimamathekela ngokuzenzisa, bedalula isimo sabo sokutotoselwa emandleni. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abanalo ulwazi ngomsebenzi Wami, nakancane nje inhloso Yami namuhla. Angibe neqiniso kunina nonke - uma usuku lufika, ukuhlupheka kwanoma ubani ongikhonzayo kuzobalula ukukuthwala kunokwakho. Izinga lokholo lwakho Kimi, empeleni alwedluli olukaJobe—ngisho nokholo lwabaFarisi bamaJuda lwedlula olwakho-ngakho ngezinsuku zomlilo ezizayo uzohlupheka kakhulu kunabaFarisi ngenkathi besolwa uJesu, nangaphezulu kwabaholi abangama-250 ababemelene noMose, nangaphezulu kweSodoma ihangulwa amalangabi embubhiso. Ngenkathi uMose eshaya idwala, futhi amanzi anikezwe nguJehova ephuma, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uDavide edlala ugubhu lokudumisa Mina, Jehova—ngenhliziyo yakhe egcwele injabulo kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJobe elahlekelwa yimfuyo yakhe eyayigcwele ezintabeni, nomcebo omkhulu ngokungenakuchazwa, nomzimba wakhe wagcwala amathumba abuhlungu, bekungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ezwa izwi Lami, Jehova, wabona inkazimulo Yami, Jehova, bekungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi uPetru wayengalandela uJesu Kristu, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi wayengabethelwa ngenxa Yami esiphambanweni anikeze ubufakazi obukhazimulayo, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJohane ebona umfanekiso okhazimulayo weNdodana yomuntu, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ebona umbono wezinsuku zokugcina, kwakusengenxa yalo belu ukholo lwakhe. Isizathu sokuba lokhu okubizwa ngezihlwele zabantu bezizwe bethole isambulo Sami, futhi bazi ukuthi ngibuyile ngisenyameni ukuzokwenza umsebenzi Wami phakathi kwabantu, nalokho kungenxa yokholo lwabo. Bonke labo abashaywe ngamazwi Ami anzima kodwa futhi baduduzwa yiwo futhi basindiswa—abenzile kanjalo ngenxa yokholo lwabo? Labo abakholwa Yimi badlule ezihluphekweni, akubona labo abalahlwe nawumhlaba? Labo abaphila ngaphandle kwezwi Lami, bebalekela ukuhlushwa ngezilingo, ababhekani futhi nokulahlwa ngumhlaba na? Bafana namaqabunga asekwindla aphephezela lapha nalaphaya angenandawo yokuphumula, ngingasakhulumi ngezwi Lami lokududuza. Yize isijeziso Sami nokuhlanza kungabalandeli, akuzona izinxibi, ezintanta yonke indawo ezizula emigwaqeni engaphandle kombuso wasezulwini? Ngabe umhlaba ngempela uyindawo yakho yokuphumula? Ngabe ungathola ukumamatheka kokukhululeka emhlabeni ngokugwema ukujezisa Kwami? Ungasebenzisa ngempela injabulo yakho edlula ngokushesha njengesembozo enhliziyweni yakho engenalutho? Ungakhohlisa noma ubani emndenini wakho, kodwa uzohlala njalo ungekwazi ukungikhohlisa Mina. Njengoba ukholo lwakho lungengakanani, kuze kube yinamuhla uselokhu ungenamandla ukufikela ukuthola noma yikuphi ukujabula impilo engakuletha. Ngiyakweluleka: kungcono ukuchitha ngobuqotho ingxenye yempilo yakho Kimi kunokuthi impilo yakho uyichithe kokuvamile nasemisebenzini ematasa yenyama, uqinisela kukho konke ukuhlupheka umuntu angekumele. Kusiza ngani ukuzigcina wena kangangokuthi ubalekele ukujezisa Kwami? Kusiza ngani ukuzifihla ekujeziseni Kwami kwesikhashanyana bese uvuna ukuhlazeka kwaphakade nokujeziswa kwaphakade? Angeke, ngempela ngigobele noma ngubani entandweni Yami. Uma ngabe umuntu uzimisele ngempela ukuthobela wonke amacebo Ami, angeke ngimphathe kabi. Kodwa ngidinga ukuthi bonke abantu bakholwe Kimi, njengoba uJobe akholwa Kimi, Jehova. Uma ngabe ukholo lwakho lwedlula loluya olukaTomase, khona-ke ukholo lwakho luzothola ukutuswa Yimi, ekuthembekeni kwakho uzothola intokozo Yami enkulukazi, futhi uzothola inkazimulo Yami ngesiqiniseko ezinsukwini zokuphila kwakho. Noma kunjalo, labo abakholelwa emhlabeni nakuSathane bazenze lukhuni izinhliziyo zabo, njengezihlwele zaseDolobheni laseSodoma nezinhlamvana zesihlabathi ziphephukela emehlweni abo neminikelo evela kudeveli isemilonyeni yabo. Izinhliziyo zabo ezikhohlisiwe kade zathathwa ngomubi lowo ogabadele umhlaba, cishe nayo yonke imicabango yabo iphangwe yidemoni lasemandulo. Ngalokho ukholo lwabantu luhambe nomoya, futhi abakwazi nokubona nomsebenzi Wami. Abangakwenza nje ukuphatha noma ukuhlaziya ngokuwalazela, ngoba sebevele bangenwe ushevu kaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Okushiwo Ukuba Umuntu Woqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 350)

Ngizobanqoba abantu ngoba babedalwe Yimi, vele futhi babenokuthokozela zonke izinto eziningi zendalo Yami. Noma kunjalo, bangilahlile, futhi angikho ezinhliziyweni zabo, bangibona njengomthwalo ezimpilweni zabo. Okubi kakhulu, abantu bangibone kahle kodwa basangala namanje, babanga ngazo zonke izindlela ezinokwenzeka ukunginqoba. Abantu abangivumeli ukuba ngibaphathe ngokweqiniso noma ngibeke izimfuno eziqinile kubo, noma bavumele ukwahlulela Kwami noma isijeziso sobubi babo. Abathathekiswa ukuphatheka ngale ndlela kodwa kunalokho, kuyabacasula. Kanjalo umsebenzi Wami ukunqoba abantu abadla, baphuze Kimi bazitike Ngami kodwa abangangazi. Ngizobaphuca izikhali, bese ngibuyela endaweni Yami yokuhlala nezingelosi Zami nasenkazimulweni Yami. Ngoba ukuziphatha kwabantu kuyephulile ngempela inhliziyo Yami kwabhidliza umsebenzi Wami waba yizicucu kudala. Ngifuna ukuthatha inkazimulo leyo eyatshontshwa ngomubi ngaphambi kokuba ahambe ethokozile, ayeke umuntu “aqhubeke ngempilo yakhe nomsebenzi wakhe ngoxolo” baqhubeke “balime amasimu abo,” bekhululiwe ukuthikazisa Kwami izimpilo zabo. Kodwa manje ngizoyithatha ngokugcwele inkazimulo Yami esandleni somubi, ngibuyise inkazimulo Yami ngokuphelele engayifaka kumuntu ekudalweni komhlaba, futhi ngingaphinde nginikeze umuntu wasemhlabeni. Ngoba abantu abehluleki kuphela ukuvikela inkazimulo Yami kunalokho bayiguqulela emfanekisweni kaSathane. Abantu abakwenzi igugu ukufika Kwami, noma baklomelise izinsuku zenkazimulo Yami. Abakujabuleli ukwamukela ukujezisa Kwami, angisakhulumi ngokuzimisela ukubuyisela inkazimulo Yami Kimi, noma bazimisele ukulahla ushevu womubi. Abantu bayaqhubeka ngokwenza ubuqili Kimi futhi bahlala bemamatheka benobuso obujabulile. Abakuboni ukujula kokudabuka abantu abazohlangabezana nakho ngemuva kokuba inkazimulo Yami ibashiye futhi kakhulu abaqapheli ukuthi uma usuku Lwami lufika kubo bonke abantu, bazoba nesikhathi esilukhunyana kunabantu besikhathi sikaNowa. Ngoba abazi ukuthi ngenkathi inkazimulo Yami isuka kwa-Israyeli kwaba usizi olungakanani, ngoba umuntu uyakhohlwa masinyane ubunzima adlule kubona. Uma ilanga libuyela emuva liyozifihla futhi bese ubumnyama bungamela umuntu uzokhala futhi aququde amazinyo akhe ebumnyameni. Usukhohliwe yini ukuthi ngenkathi inkazimulo Yami isuka kwa-Israyeli, bekunzima kangakanani kubantu bakhona ukubekezela ekuhluphekeni okungako? Manje izinsuku zokuthi ubone inkazimulo Yami, okuyizinsuku ezimnandi odlula kuzo Nami. Umuntu uzokhala ebumnyameni ngenkathi inkazimulo Yami ishiya umhlaba ongcolile. Manje izinsuku ezimnandi lapho ngenza khona umsebenzi Wami, futhi izinsuku lapho ngikhipha khona abantu ekuhluphekeni njengoba ngingeke ngidlule ebuhlungwini nasezikhathini ezinzima nabo. Ngifuna nje ukunqoba okuphelele kubantu nokunqoba ngempela omubi kubantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Okushiwo Ukuba Umuntu Woqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 351)

Baningi engiye ngabafuna emhlabeni ukuze babe abalandeli Bami. Phakathi kwabo bonke laba balandeli, kunalabo abangabapristi, labo abaholayo, labo abangamadodana, labo abayingxenye yabantu, kanye nalabo abenza umsebenzi. Ngibahlukanise baba yilezi zigaba ezahlukene ngokusekelwe ebuqothweni ababubona Kimi. Lapho bonke abantu sebehlukaniswe ngokohlobo lwabo, lokho kusho ukuthi, lapho sekwembulwe bonke ubuntu bomuntu, kuyofanele ngibale wonke umuntu ngokohlobo lwakhe olufanele, futhi ngibeke uhlobo ngalunye endaweni yalo efanele ukuze ngibone injongo Yami yokusindisa isintu. Ngiyobe sengibiza amaqembu alabo abafisa ukusindiswa ukuba babuyele endlini Yami, bese ngivumela bonke labo bantu ukuba bamukele umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngesikhathi esifanayo, ngihlukanisa umuntu ngokohlobo ayilo, bese nginika umklomelo noma ngijezise umuntu ngamunye ngesisekelo sezinto azenzile. Lezi izinyathelo ezibandakanya umsebenzi Wami.

Manje ngiphila emhlabeni, futhi ngiphila phakathi kwabantu. Bonke abantu babona umsebenzi Wami futhi babheke amazwi Ami, futhi kanye nalokhu ngibeka wonke amaqiniso kumlandeli ngamunye Wami ukuze bathole ukuphila Kimi futhi ukuze bathole indlela abazohamba kuyo. Ngoba nginguNkulunkulu, Umniki kuphila. Eminyakeni eminingi yomsebenzi Wami, umuntu wamukele okuningi futhi wanikela ngokuningi, kodwa ngisathi umuntu akakholelwa yini ngeqiniso Kimi. Lokhu kungoba umuntu umane avume ukuthi nginguNkulunkulu ngezindebe zakhe abe angavumelani neqiniso engilikhulumayo futhi, ingasaphathwa eyokwenza iqiniso engidingayo kuye. Lokho kusho ukuthi, umuntu uvuma kuphela ukuba khona kukaNkulunkulu, kodwa hhayi iqiniso; umuntu uvuma kuphela igama likaNkulunkulu, hhayi isiqu Sakhe. Ngenxa yentshiseko yakhe, umuntu uye wangathandeka Kimi. Ngoba umuntu usebenzisa amagama amnandi endlebeni ukuze angikhohlise, futhi akekho ongikhonza ngenhliziyo eneqiniso. Inkulumo yenu inesilingo senyoka; ngaphezu kwalokho, kuwukuzidla ngokwedlulele, isimemezelo sangempela sengelosi enkulu. Okukhulu, ukuthi izenzo zenu zisezingeni lehlazo elimanikiniki neliklebhukile; nezifiso zenu ezingenasizotha kanye nezinjongo ezinobugovu kunzima ukukulalela. Nonke seniphenduke izimvemvane endlini Yami, izinto zokulahlwa engizenyanyayo. Ngoba akekho kini onothando lweqiniso, kodwa kunalokho kukhona kuphela abantu abafuna izibusiso, abafuna ukwenyukela ezulwini futhi babone umbono omuhle kaKristu esebenzisa amandla akhe emhlabeni. Kodwa ingabe nake nacabanga ukuthi abantu abanjengani, abakhohlakele, futhi abangakwazi konke uNkulunkulu ayikho, kungenzeka kanjani ukuthi bafaneleke ukulandela uNkulunkulu? Ningenyukela kanjani ezulwini? Ningafaneleka kanjani ukubona ubuhle benkazimulo, obungakaze bubonwe? Imilomo yenu igcwele amazwi enkohliso nenzondo, ukukhaphela nenkani. Anikaze nikhulume amazwi obuqotho Kimi, noma amazwi angcwele, noma amazwi okulalela izwi Lami lapho nizwa izwi Lami. Ekugcineni, lunjani ukholo lwenu? Izinhliziyo zenu zigcwele izifiso nengcebo, nezingqondo zenu zinezinto zenyama. Nsuku zonke, nibala indlela eningathola ngayo okuthile kimi, nokuthi ungakanani umcebo nezinto zenyama enikuthole Kimi. Nsuku zonke, nilinda nokuthi izibusiso ezengeziwe zehlele kini ukuze nijabulele ngisho izinto eziningi ngisho nezinto, ezingcono, lezo ezijabulisayo. Akumina enimcabangayo ngaso sonke isikhathi, akulona iqiniso elivela Kimi, kodwa kunalokho nicabanga abayeni benu (omkenu), amadodana, amadodakazi, noma ukuthi nizodlani nigqokeni, nokuthi ningayandisa kanjani injabulo yenu futhi niyenze ibe ngcono. Ngisho nalapho ningagcwalisa izisu zenu, anibalulekile yini kakhudlwana kunezidumbu? Ngisho nalapho, emehlweni abantu, nihloba ngezingubo ezinhle kanjalo, anizona yini izidumbu ezihambayo ezingenampilo? Nisebenza kanzima ngenxa yezisu zenu nize nibe mpunga ekhanda, kodwa akekho noyedwa ozimisele ukudela unwele lwakhe olulodwa ngenxa yomsebenzi Wami. Nihlala nihamba njalo, nikhandle umzimba wenu, futhi nicindezele izingqondo zenu ngenxa yenyama yenu, nangenxa yamadodana namadodakazi enu, kodwa akekho noyedwa kinina okhombisa ukukhathazeka noma ukukhathalela intando Yami. Yini lokhu enisafisa ukuyizuza Kimi?

Ngenza umsebenzi Wami, angikaze ngixhamazele. Noma iyiphi indlela umuntu angilandela Ngayo, ngenza umsebenzi Wami ngokwezigaba zawo, ngokuvumelana necebo Lami. Ngakho, nakuba ningase nihlubuke ngaleli zinga Kimi, selokhu angiwuyeki umsebenzi Wami, futhi selokhu ngiyaqhubeka ngikhuluma amazwi engifisa ukuwakhuluma. Ngibizela endlini Yami bonke labo engibanqumele ngaphambili ukuthi bazolalela izwi Lami, futhi ngibeka nasesihlalweni Sami sobukhosi bonke labo abalalela futhi balangazelele izwi Lami. Labo abafulathela izwi Lami, labo abangalaleli futhi abangangithobeli, nalabo abangingcolisayo, bonke kufanele babekwe ohlangothini olulodwa ukuze bagcinelwe isijeziso sokugcina. Bonke abantu baphila phakathi kwenkohlakalo ngaphansi kwesandla somubi, ngakho ababaningi kwabangilandelayo abalangazelela iqiniso. Lokho kusho ukuthi, abaningi abangilaleli ngenhliziyo eneqiniso noma ngeqiniso, kodwa kunalokho bazama ukuthola ukwethenjwa Yimi ngenkohlakalo, ngokuhlubuka, nangenkohliso. Yingakho ngithi, “Baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.” Bonke ababizwayo bonakaliswe kakhulu futhi bonke baphila enkathini eyodwa, kodwa labo abakhethwayo yilelo qembu kuphela elikholelwayo nelamukela iqiniso, futhi elenza iqiniso. Laba bantu bayidlanzana, futhi inkazimulo eyengeziwe ngiyoyithola kubo. Ngenxa yala mazwi, ingabe niyazi ukuthi niphakathi kwalaba abakhethiwe yini noma cha? Siyoba njani isiphetho senu?

Kucashunwe embhalweni othi “Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 352)

Sengishilo kakade ukuthi labo abangilandelayo baningi kodwa abangithanda ngenhliziyo eneqiniso bayidlanzana. Abanye bangase bathi, “Ukube bengingakuthandi, ingabe bengiyodela okuningi kangaka? Ingabe bengiyokulandela kuze kube manje ukube bengingakuthandi?” Ngempela, ninezizathu eziningi, futhi uthando lwenu, ngempela, lukhulu kakhulu, kodwa okukhulu nakakhulu isiqu sothando lwenu ngami? “Uthando,” njengoba lubizwa kanjalo, lubhekisela emuzweni ohlanzekile futhi ongenabala, lapho usebenzisa khona inhliziyo yakho ukuze uthande, ube nemizwa futhi ucabangele abanye. Othandweni ayikho imibandela, imingcele, kanye negebe. Othandweni azikho izinsolo, inkohliso kanye namanga. Othandweni akukho ukuhwebelana futhi akukho okungcolile. Uma unothando, lokho kusho ukuthi awukhohlisi, awukhonondi, awukhapheli, awuhlubuki, awuthathi noma ufune ukuzuza okuthile noma inani elithile. Uma unothando, uyozinikela ngokuzithandela futhi ubekezelele ubunzima, futhi uyohambisana Nami. Uyodela konke okwakho ngenxa Yami, udele umndeni wakho, ikusasa lakho, ubusha bakho, nomshado wakho. Uma kungenjalo uthando lwakho alulona nhlobo uthando, kodwa luyinkohliso nokukhaphela! Unaluphi uhlobo lothando? Ingabe unothando lweqiniso? Noma olwamanga? Kungakanani osunikele ngakho? Kungakanani osukudelile? Lungakanani uthando engiluthole kini? Ingabe niyazi? Izinhliziyo zenu zigcwele ububi, ukukhaphela nenkohliso, futhi njengoba kunjalo, kungakanani ukungcola okusothandweni lwenu? Ucabanga ukuthi usudele okwanele ngenxa Yami; ukholelwa ukuthi uthando onalo ngami lwanele. Kodwa kungani amazwi nezenzo zakho kuhlale kunokuhlubuka nenkohliso? Niyangilandela, kodwa anilenzi izwi Lami. Ingabe lokhu kubhekwa njengeqiniso? Niyangilandela, kodwa ningibekela eceleni. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa anithembekile Kimi. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa anikwamukeli ukuba khona Kwami. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa aningiphathi njengofanelwe yilokhu engiyikho futhi ngazo zonke izindlela, nenza izinto zibe nzima kimi. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangilandela, kodwa nizama ukungenza isilima ningikhohlisa kuzo zonke izinto. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Niyangikhonza, kodwa aningesabi. Ingabe lokhu nikubheka njengothando? Nimelana Nami kuzo zonke izinto. Ingabe konke lokhu nikubheka njengothando? Nidele okuningi, lokho kuliqiniso, kodwa anikaze nikwenze engikucela kini. Ingabe lokhu kungabhekwa njengothando? Izibalo ezenziwe ngokucophelela zibonisa ukuthi ayikho nencane inhlansi yothando eninayo Ngami ngaphakathi kini. Ngemva kwale minyaka eminingi yomsebenzi namazwi amaningi engiwashilo, kungakanani okutholile? Ingabe akudingi ukuba nibheke emuva ngokucophelela? Ngiyanixwayisa: Labo engibabizayo, yilabo abangonakalisiwe, kodwa labo engibakhethayo yilabo abangithanda ngempela. Ngakho, kufanele nizimisile emazwini nasezenzweni zenu, nihlole izinhloso nemicabango yenu ukuze ningaphambuki endleleni. Kulesi sikhathi sezinsuku zokugcina, yenza okusemandleni akho ukuze ungibonise uthando onalo, uma kungenjalo, intukuthelo Yami ngeke isuke kuwe!

Kucashunwe embhalweni othi “Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 353)

Usuku ngalunye, izenzo nemicabango yomuntu ngamunye ibhekwa Nguye futhi, ngesikhathi esifanayo, ingukulungisela ikusasa labo. Lena indlela okumele ihanjwe yibo bonke abaphilayo futhi engiyinqumele ngaphambili bonke. Akekho namunye ongakubalekela lokhu futhi imibandela ayenzelwa muntu. Ngikhulume amazwi angenakubalwa, futhi nangaphezu kwalokho ngenze umsebenzi omningi kakhulu. Nsuku zonke, ngibheka umuntu enza ngokwemvelo lokho okumele akwenze ngokwesimo sendalo yakhe nokuthi iqhubeka kanjani. Ngokungazi, iningi selivele layithola “le ndlela elungile,” Mina engiyibekele ukwambulela wonke umuntu. Kakade Mina sengibeke lonke uhlobo lomuntu ezimweni zemvelo ezahlukene, futhi wonke umuntu endaweni yakhe usevele wakhombisa lokho akuthole ngokwemvelo. Akekho ozobabophezela, akekho ozobakhohlisa. Bakhululeke ngokugcwele futhi lokho abakuvezayo kuzivelela ngokwemvelo. Kukhona into eyodwa abahlale beyiqaphile, futhi lokho ngamazwi Ami. Ngalokho-ke, abantu abanye bafunda amazwi Ami ngokuzihudula, bengawenzi nhlobo, bewenza kuphela ukuze bagweme ukufa; abanye, khona lapho, bakuthola kunzima ukukhuthazela izinsuku ngaphandle kwamazwi Ami ukuba abaqondise futhi abahlinzeke, ngakho ngokwemvelo babambelela emazwini Ami ngaso sonke isikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi, babe sebethola imfihlo yempilo yomuntu, isiphetho sesintu, kanye nokubaluleka kokuba ngumuntu. Isintu asilutho ngaphezu kwalokhu lapho kukhona izwi Lami, futhi Mina ngimane ngivumele ukuba zilime ziyetsheni. Angenzi lutho oluphoqelela abantu ukuba baphile ngamazwi Ami njengesisekelo sokuba khona kwabo. Futhi labo abangenawo unembeza noma ukubaluleka kokuba khona kwabo baqaphela ngokungazelele indlela izinto ezihamba ngayo bese ngeqholo beshaya indiva amazwi Ami futhi bese bezenzela njengokuthanda kwabo. Baqala ukukhathaliswa yiqiniso nakho konke okuphuma Kimi. Ngaphezu kwalokho, bayakhathaliswa ukuhlala endlini Yami. Laba bantu bahlezi endlini Yami okwesikhashana ngenxa yesiphetho sabo nokubaleka isijeziso, ngisho noma ngabe bewenza umsebenzi. Kodwa izinhloso zabo aziguquki, hhayi ngisho nezenzo zabo. Lokhu kukhuthaza ngokwengeziwe isifiso sabo ngezibusiso, nemvume yokudlula komuntu oyedwa angene embusweni lapho beyohlala khona ingunaphakade, kanye nemvume yokudlula ungene ezulwini laphakade. Lapho belangazelela ngokwengeziwe usuku Lwami ukuba lufike ngokushesha ngelinye ilanga, yilapho beya ngokuzwa sengathi iqiniso seliyisiphazamiso, isikhubekiso esibavimba endleleni. Abasakwazi nokulinda ukubeka unyawo lwabo embusweni ukuze bajabulele izibusiso zaphakade zombuso wasezulwini, ngaphandle kokudinga ukuthi baphishekele iqiniso noma bemukele isahlulelo kanye nokusolwa, futhi nangaphezu kwakho konke, ngaphandle kokuba kudingeke ukuba bahlale endlini Yami njengezikhonzi futhi benze njengalokhu ngibayala. Laba bantu bangena endlini Yami hhayi ngoba bezogcwalisa inhliziyo yabo efuna iqiniso noma bezosebenzisana nokuphatha Kwami. Bamane bahlose ukuba bangabi yingxenye yalabo abayobhujiswa enkathini ezayo. Ngakho izinhliziyo zabo azikaze zazi ukuthi liyini iqiniso nokuthi lamukelwa kanjani iqiniso. Lesi yisizathu abantu abanje bengakaze balenze iqiniso noma baqonde izinga elijulile lenkohlakalo yabo, kepha behleli endlini yami “njengezikhonzi” kuze kube sekugcineni. Bayalinda “ngokubekezela” ukufika kosuku Lwami, futhi abakhathali njengoba beshona le nale ngenxa yohlobo lomsebenzi Wami. Noma ngabe mkhulu kangakanani umzamo wabo noma ngabe bakhokhe inani elingakanani, akekho oyobona ukuthi bahluphekele iqiniso noma bazidela Ngami. Ezinhliziyweni zabo, abakwazi ukulinda ukubona usuku lapho ngiyoqeda inkathi endala, futhi nangaphezu kwalokho, ngokukhathazeka bafisa ukwazi ukuthi angakanani amandla kanye negunya Lami. Lokho abangakaze baphuthume ukukwenza, ukuziguqula nokulandela iqiniso. Bathanda lokho osekungikhathazile kanti bakhathele yilokho engikuthandayo. Balangazelela lokhu engikuzondayo, ngesikhathi esifanayo besaba ukulahlekelwa yilokho engikuzondayo. Bahlala kulo mhlaba omubi kodwa abakaze babe nenzondo yawo futhi bayesaba kakhulu ukuthi uzobhujiswa Yimi. Izinhloso zabo ziyangqubuzana: Bajatshuliswa yilelizwe engilizondayo, kodwa ngesikhathi esifanayo bebe belangazelela ukuba Mina ngisheshe ngilibhubhise lelizwe. Ngaleyo ndlela, bayosinda ekuhluphekeni kokubhujiswa bese beguqulwa babe amakhosi enkathi ezayo ngaphambi kokuthi baphambuke endleleni yeqiniso. Lokhu kungenxa yokuthi abalithandi iqiniso futhi bakhathele yikho konke okuvela Kimi. Mhlawumbe bayoba “ngabanye abalalelayo” okwesikhashana ngenhloso yokungalahlekelwa izibusiso, kodwa lomqondo wabo wokunxanela-isibusiso kanye nokwesaba ukubhubha nokungena echibini elivutha lomlilo akusoze kwafiphala. Njengalokhu usuku Lwami lusondela, isifiso sabo kancane kancane siya ngokuqina. Ubukhulu benhlekelele, benza ukuba bazizwe bengenasizo ngokwengeziwe, bengazi nokuthi kumele baqale kuphi ukungenza Mina ngijabule futhi bagweme ukulahlekelwa izibusiso abebekade bezilangazelela. Lapho isandla Sami siqala ukwenza umsebenzi waso, laba bantu balangazelela ukuthatha isinyathelo njengamaphikankani ahamba phambili empini. Bacabanga kuphela ukuya phambili emgqeni wokuqala webutho empini ngoba bethuthumela ukuthi kungenzeka ngingababoni. Benza futhi basho lokho abacabanga ukuthi kulungile, bengazi nhlobo ukuthi ukwenza nezenzo zabo akukaze kuhambisane neqiniso, futhi bekumane kuphazamisa futhi kugxambukela ezinhlelweni Zami. Nakuba bebefake umfutho omkhulu futhi beneqiniso ezifisweni zabo nezinhloso zokubekezela ebunzimeni, konke lokho abakwenzayo akuhlanganise lutho Nami, ngoba Mina angikaze ngibone ukuthi izenzo zabo zisuka ezinhlosweni ezinhle, futhi kukancane kakhulu ngibona bebeka utho e-altare Lami. Zinjalo izenzo zabo phambi Kwami kuleminyaka eminingi.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 354)

Ekuqaleni Mina nganginesifiso sokukunikeza amaqiniso amaningi, kodwa ngenxa yokuthi umqondo wakho ngeqiniso ubanda kakhulu futhi sinokungakhathaleli, ngivele ngaphonsa ithawula. Mina angifisi imizamo Yami imosheke, noma ngibone abantu bebambelela emazwini Ami kodwa kuzo zonke izinto benza lokho okungiphikisayo, bengihlambalaza, futhi bengithuka ngenhlamba. Ngenxa yezimo zemiqondo yenu kanye nobuntu benu, Mina ngimane ngikulethela ingxenye encane yamazwi asemqoka kakhulu kuwe njengesivivinyo Sami phakathi kwesintu. Yimanje kuphela lapho Mina ngiqinisekisa ukuthi izinqumo nezinhlelo engizenzile ziyahambisana nokudingayo, futhi phezu kwalokho, ngiyaqinisekisa ukuthi umqondo Wami ngesintu ulungile. Iminyaka eminingi yezenzo phambi Kwami Mina inginike impendulo engingakaze ngiyithole ngaphambili. Futhi umbuzo kulempendulo uthi: “Ingabe uyini umqondo womuntu phambi kweqiniso noNkulunkulu weqiniso?” Imizamo Mina engiyichithe ngomuntu, ifakazela ubukhona bokumthanda Kwami umuntu, kanti nezenzo nokwenza komuntu phambi kobuso Bami, kufakazele ubukhona bokuzonda iqiniso nokumelana Kwami nomuntu. Ngaso sonke isikhathi Mina ngikhathalela bonke abangilandelayo, kodwa asikho isikhathi lapho labo abangilandelayo bekwazi khona ukwemukela izwi Lami; behluleke bancama ukwemukela ngisho iziphakamiso ezivela Kimi. Yikho okungidumaza kakhulu kunako konke. Akekho namunye okwazi ukungiqonda Mina, nangaphezu kwalokho, akekho namunye okwazi ukungemukela, ngisho nakuba isimo sengqondo Yami ngabo siqotho namazwi Ami emnene. Wonke umuntu uzama ukwenza umsebenzi abawunikezwe Yimi ngokuhambisana nemiqondo yabo; abafuni nezinhloso Zami, ingasaphathwa eyokuthi babuze izicelo Zami. Basazitshela ukuthi bangisebenzela ngokuthembeka, kodwa bebe bengivukela. Abaningi bakholelwa ukuthi amaqiniso angemukeleki kubo noma lawo abangeke bawenze akuwona amaqiniso. Kulaba bantu abanje, amaqiniso Ami aphenduka abe yinto yokuphikwa futhi ashaywe indiva anganakwa. Ngesikhathi esifanayo, Mina ngibe sengiphenduka lowo otuswa ngumuntu ngomlomo njengoNkulunkulu, kodwa ngibuye ngithathwe njengowangaphandle ongelona iqiniso, indlela, noma ukuphila. Akekho owazi leli qiniso: Amazwi Ami aliqiniso elingasoze laguquka naphakade. Ngiyilowo onikeza ukuphila kumuntu futhi Yimi kuphela oqondisa isintu. Ukubaluleka kanye nencazelo yamazwi Ami akuncikile ekutheni, ngabe ayemukeleka noma ayemukelwa yisintu, kodwa ngobukhona bamazwi Ami uqobo. Noma ngabe akukho namunye umuntu kulomhlaba ongawemukela amazwi Ami, isisindo samazwi Ami kanye nosizo lwawo esintwini alusoze lwalinganiswa muntu. Ngakho-ke, uma Mina ngibhekene nabantu abaningi abangivukelayo, abangiphikayo, noma labo abawedelelayo amazwi Ami, isinqumo sami sithi: Makuthi isikhathi kanye namaqiniso abe ngofakazi Bami futhi akhombise ukuthi amazwi Ami aliqiniso, indlela kanye nokuphila. Makakhombise ukuthi konke engikushilo kulungile, nokuthi ayilokho umuntu okumele agcwaliswe yikho, kanye, nangaphezu kwalokho, lokho umuntu okumele akwemukele. Ngiyovumela bonke labo abangilandelayo bazi leliqiniso: Labo abangakwazi ukwemukela amazwi Ami ngokugcwele, labo abangakwazi ukwenza amazwi Ami, labo abangakwazi ukuthola inhloso emazwini Ami, kanye nalabo abangakwazi ukuthola insindiso ngenxa yamazwi Ami, yilabo abahlulelwe ngamazwi Ami, futhi, ngaphezu kwalokho, abalahlekelwe yinsindiso Yami kanti nentonga Yami ayisoze yasuka kubo.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 355)

Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo. … Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, kungazeki kumuntu, impucuko yabantu iya ngokuya ingakwazi ukuhamba ngokwezifiso zomuntu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zivimbe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 356)

Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenako ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kwathathwa ngomubi. Amehlo akho agutshazelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi enkohliso futhi awulizwa iphimbo likaJehova elibhongayo, noma umsindo wamanzi agelezayo evela esihlalweni sobukhosi. Usulahlekelwe yikho konke lokho obekumele kube ngokwakho kanye nakho konke uMninimandla Onke abekuphe kona. Usungene olwandle lomunyu olungenamkhawulo, kungekho namandla okuhlengwa, kungenathemba lokusinda, kusele kuphela ukuzabalaza nokutatazela uye le nale. … Kusukela ngaleso sikhathi, umiselwe ukuhlushwa ngomubi, ugcinwe le kude nezibusiso zikaMninimandla Onke, ungena kufinyelela ekuhlinzekeni kukaMninimandla Onke, bese uqala indlela engena kubuyela emuva. Ukumenyezwa okuyisigidi cishe kungakwazi ukuvusa inhliziyo yakho nomoya wakho. Ulala ubuthongo obude ezandleni zomubi, osekuyengele embusweni ongapheliyo, kungekho nkombandlela, kungekho nezimpawu zomgwaqo. Kusukela manje, usulahlekelwe ubungcwele, ubumsulwa bakho bakuqala, futhi usuqala ukucashela ukunakekela kukaMninimandla Onke. Omubi uqondisa inhliziyo yakho kulo lonke udaba futhi aphenduke impilo yakho. Awusamesabi, awusamgwemi, awusamngabazi. Kunalokho, sewumthatha njengoNkulunkulu osenhliziyweni yakho. Waqala ukumhlonipha kakhulu, ukumdumisa, awusahlukani naye njengesithunzi sakhe, futhi uyazibophezela ngokuvumelana omunye komunye ekuphileni nasekufeni. Awazi nhlobo ukuthi uvelaphi, kungani ukhona, noma kungani ufa. Ubheka uMninimandla Onke njengesihambi; awuyazi imvelaphi Yakhe, kungasaphathwa konke lokho Akwenzele kona. Konke okuvela Kuye sekuyazondeka kuwe. Awukwazisi noma wazi ukubaluleka kwako. Uhambisana nomubi, kusukela ngosuku waqala ukuthola ukuhlinzekwa okuvela kuMninimandla Onke. Wena nomubi nihamba eminyakeni eyizinkulungwane yezishingishane neziphepho. Ngokuhlanganyela naye, nimelene noNkulunkulu, owayeyisiqalo sempilo yakho. Awuphenduki, ingasaphathwa eyokuthi awazi ukuthi sewufike esigabeni sokubhubha kwakho. Uyakhohlwa ukuthi omubi usekulingile, wakuzwisa ubuhlungu; usukhohlwe nayi mvelaphi yakho. Kanjalo nje, omubi ubekulimaza kancane kancane, ngisho namanje. Inhliziyo yakho nomoya wakho awusenamuzwa futhi usubolile. Awusakhalazi manje ngezinhlupheko zasemhlabeni, awusakholelwa ekutheni umhlaba awunabulungiswa. Awusenandaba ngobukhona buka Mninimandla Onke. Lokhu kungenxa yokuba sewuthatha omubi njengobaba wakho weqiniso, futhi awusakwazi ukuhlukana naye. Lena yimfihlo esenhliziyweni yakho.

Njengoba sekuqala ukusa, inkanyezi yokusa iqala ukukhanya empumalanga. Lena yinkanyezi engakaze ibekhona phambilini, futhi ikhanyisa isibhakabhaka esithule, esibenyezelayo, yokhela kabusha isibani ebese sicishile ezinhliziyweni zabantu. Abantu abasenaso isizungu ngenxa yalokhu kukhanya, okukhanya ngokufanayo phezu kwakho nabanye. Kodwa nguwe wedwa osalokhu ulele ebumnyameni basebusuku. Awukwazi ukuwuzwa lomsindo, noma ukubona ukukhanya, awukwazi ukuqaphela ukufika kwezulu elisha kanye nomhlaba omusha, inkathi entsha. Ngoba ubaba wakho ukutshela ukuthi, “Mntanami, ungavuki, isikhathi sisekahle. Kuyabanda phandle, hlala endlini, kungaze inkemba nomkhonto kukuhlabe emehlweni.” Ukholelwa kuphela ezelulekweni zikayihlo, ngoba ukholelwa ukuthi ubaba wakho uqinisile njengoba ubaba wakho emdala kunawe, nokuthi ubaba ukuthanda ngeqiniso. Iseluleko esinjalo kanye nothando olunjalo lukwenza ungabe usakholelwa enganekwaneni yokuthi kunokukhanya emhlabeni, ungabe usaba nendaba noma izwe lineqiniso. Awusalokothi uthembe ukusindiswa nguMninimandla Onke. Uyasijabulela isimo esiqhubekayo njengoba sinjalo, awusenathemba lokuvela kokukhanya, futhi awusalokhu ubheka naphandle ulindele ukufika kukaMninimandla Onke wasemandulo. Emehlweni akho, konke lokho okuhle ngeke kusavuseleleka, noma kuqhubeke kube khona. Emehlweni akho, ikusasa nengomuso lesintu liyashabalala futhi lifiphale. Ubambelela ezingutsheni zikayihlo ngawo wonke amandla akho, wenamele ukuhlupheka kanye naye, wesaba ngokujulile ukulahlekelwa ngumhlobo ohamba naye kanye nendlela yohambo lwenu olude. Izwe elibanzi nomhlaba olufifii sewenze iningi lenu, labambelela laqinisa nangokuzethemba ekubambeni amaqhaza ehlukene kulo mhlaba. Sekwakheke “amabutho amaningi” angakwesabi ukufa nhlobo. Ngaphezu kwalokho, sekwakheke izinqwaba zabantu ezingasena muzwa futhi ezikhubazekile, ezingaqondi ngenhloso yokuthi zazalelwani. Amehlo kaMninimandla Onke abheka nxa zonke isintu esihlukumezeke kakhulu, ezwa ukuklewula kwabase nhluphekweni, ebona ukungazisoli kwalabo abasenhluphekweni, futhi ezwa nokungakwazi ukuzisiza kanye nokwesaba kwesintu esesilahlekelwe yinsindiso. Isintu senqaba ukunakekela Kwakhe, sihamba ngendlela yaso, futhi sibalekelana nokufuna amehlo Akhe. Sincamela ukunambitha konke ukubaba kwasolwandle olujulile, sindawonye nesitha, kuze kufinyelele econsini lokugcina. Ukububula kukaMninimandla Onke akusezwakali kubantu; izandla zikaMninimandla Onke azisazimisele ukuphulula lesi sintu esilusizi. Uyabuyisa kaningi, futhi abuye alahlekelwe kaningi, futhi kungakho umsebenzi awenzayo uphindwa. Kusukela ngaleso sikhathi, uqala ukukhathala, azizwe ecobekile, ebese ewuyeka umsebenzi awenzayo futhi ayeke ukuhamba phakathi kwabantu…. Abantu abaziboni nhlobo lezi zinguquko, abanalwazi ngokufika nokuhamba, usizi nokudumala kukaMninimandla Onke.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukububula KukaMninimandla Onke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 357)

Nakuba ukuphatha kukaNkulunkulu kungabonakala kujulile kumuntu, akunzima kumuntu ukukuqonda, ngoba wonke umsebenzi kaNkulunkulu uxhumene nokuphatha Kwakhe, uphathelene nomsebenzi wokusindisa umuntu, futhi umayelana nempilo, nokuphila kanye nesiphetho sesintu. Umsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kwesintu nakuso isintu, kungathiwa, obonakalayo futhi onenjongo kakhulu. Ungabonwa umuntu, ungezwiwa umuntu, futhi ukude ekubeni yinto ecatshangwayo nje. Uma umuntu engakwazi ukwemukela wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, kuyini ukubaluleka kwalo msebenzi? Futhi ukuphatha okunjalo kungaholela kanjani ensindisweni yomuntu? Abaningi abalabo abalandela uNkulunkulu bazihlupha ngokuthi bangazithola kanjani izibusiso noma bagweme isinhlekelele. Uma kuphathwa umsebenzi nokuphatha kukaNkulunkulu, bayathula nya bangabe besaba nendaba kwakona. Bakholelwa ukuthi ukwazi imibuzo eyisinengiso njengaleyo ngeke kuzithuthukise izimpilo zabo noma kube usizo oluthile, ngakho nakuba bezizwile izintshumayelo ngokuphatha kukaNkulunkulu, baziphatha ngokunganaki. Futhi abaziboni njengezinto eziyigugu ezidinga ukwamukelwa, kungasaphathwa ukuthi bazemukele njengengxenye yezimpilweni zabo. Abantu abanjalo banenhloso elula nje ekulandeleni uNkulunkulu: ukuzuza isibusiso, futhi leyo nhloso ukuthola izibusiso. Abantu abanjalo abazihluphi ngokunaka noma yini engaphathelene nale nhloso. Kubo, ukukholwa kuNkulunkulu ukuze uthole izibusiso, iwona mgomo ofanele ngokomthetho kunayo yonke kanye nokubaluleka kwangempela kokholo lwabo. Abathintwa yinoma yini engeke ifeze leyo njongo. Isimo sinjalo eningini lalabo abakholwa kuNkulunkulu namhlanje. Inhloso nentshisekelo yabo ibukeka ifanelekile, ngoba ngaleso sikhathi bekholwa uNkulunkulu, bayazikhandla ngoNkulunkulu, bayazinikela uqobo lwabo kuNkulunkulu, futhi bayawenza umsebenzi wabo. Banikela ngobusha babo, bashiye imindeni nemisebenzi, futhi baze bachithe iminyaka bematasatasa kude namakhaya. Ngenxa yomgomo wabo ekugcineni, bashintsha ngisho izinto abazithandayo, bashintshe indlela ababuka ngayo impilo, baze bashintshe ngisho amabombo lapho befuna ukuya khona, kepha abakwazi ukushintsha inhloso yabo yokukholwa kuNkulunkulu. Baya le nale belungisela ukuphathwa kwemiqondo yabo abayiphokophele; akunandaba ukuthi yinde kangakanani indlela, noma ngabe bungakanani ubunzima neziphazamiso endleleni, bayaphokophela bayaqhubeka babe nesibindi bengasabi ukufa. Ngamaphi la mandla abenza baqhubeke nokuzinikela ngale ndlela? Unembeza wabo? Isimilo sabo esihle nesiqotho kakhulu? Ukuzimisela kwabo ukulwa namandla obumnyama kuze kube sekugcineni ngci? Ukukholwa kwabo okubenza bafakazele uNkulunkulu ngaphandle kokufuna umklomelo? Ukuthembeka kwabo okwenza bazimisele ukunikela ngakho konke ukwenza intando kaNkulunkulu? Noma umoya wabo wokuzinikela obenza badele izidingo ezimoshayo zesiqu sabo? Ukuthi abantu abangakaze bazi ngomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha banikele ngokungaka, impela nje kuyisimanga esikhulu! Okomzuzwana nje, ake singakhulumi ngokuthi la bantu banikele kangakanani. Ukuziphatha kwabo, kepha, kufanelekela kakhulu ukucubungula kwethu. Ngaphandle kwezinzuzo ezihlobene nabo kakhulu, kungaba khona esinye isizathu laba bantu abangakaze baqonde uNkulunkulu ukuthi banikele kangaka Kuye? Kulokhu, sithola inkinga ebingabonakalanga ekuqaleni: ubudlelwano bomuntu noNkulunkulu kumane kumayelana nokuzihlenga yena siqu kuphela nje. Kubudlelwano phakathi kowemukela izibusiso nophisana ngezibusiso. Ukukubeka ngokusobala, kunjengobudlelwano phakathi kumqashi nomsebenzi. Umsebenzi usebenzela ukuthola imivuzo ayinikwa ngumqashi. Ebudlelwaneni obunjalo, alukho uthando, kukhona isivumelwano kuphela; akukho ukuthanda nokuthandwa, ukuphana nomusa kuphela. Akukho ukuqonda, kuphela ukuthukuthela okucindezelwe nenkohliso. Akukho ukuzwana, kuphela kunegebe elingenakuvalwa. Uma izinto sezifika lapha, ubani ongasihlehlisa lesi simo esiqhubekayo? Futhi bangaki abantu abakwazi ukuqonda ngempela ukuthi lobu budlelwano busesimweni esibucayi futhi esiqeda ithemba? Ngikholwa ukuthi abantu uma bezicwilisa enjabulweni yokubusiseka, abekho abakwazi ukucabanga ukuthi ubudlelwano obunjalo noNkulunkulu budala amahloni futhi abubukeki kangakanani.

Into edabukisa kakhulu ngenkolelo yesintu kuNkulunkulu ukuthi umuntu uyaziphatha ngokwakhe phakathi komsebenzi kaNkulunkulu futhi akakhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuhluleka okukhulu komuntu kulele ekutheni, ngesikhathi efuna ukuthobela uNkulunkulu amkhonze, umuntu uzakhela esakhe isiphetho asithandayo futhi uyabala ukuze abone ukuthi angasithola kanjani isibusiso esikhulu kakhulu kanye nesiphetho esihle kunazo zonke. Ngisho noma abantu bangaqonda ukuthi badabukisa, bazondeka, futhi babanga umunyu kangakanani, bangaki abashiya ngokushesha le miqondo namathemba abo? Futhi ubani okwazi ukuma nse ezindleleni zabo futhi ayeke ukuzicabangela yena kuphela? UNkulunkulu udinga labo abazobambisana naye kakhulu ukuze bafeze ukuphatha Kwakhe. Udinga labo abazonikela umqondo kanye nomzimba wabo emsebenzini wokuphathwa Nguye ukuze bazithobe Kuye; Akadingi abantu abakhipha izandla zabo baMuncenge zonke izinsuku; akusaphathwa ukuthi Akabadingi labo abapha kancane bese belinda ukubuyiselwa ngesenzo sabo esihle. UNkulunkulu uyabazonda labo abanikela ngokuncane bese bephumula bezithela ngabandayo. Uyabazonda labo bantu abanesihluku abawucasukelayo umsebenzi wakhe wokuphatha futhi abafuna ukukhuluma kuphela ngokuya ezulwini nokuzuza izibusiso. Unenzondo enkulu nakakhulu yalaba abasebenzisa ithuba elilethwa umsebenzi awenzayo ekusindiseni isintu. Ingoba laba bantu abakaze bazikhathaze ngolokho uNkulunkulu afisa ukukuthola futhi akufinyelele ngomsebenzi Wakhe wokuphatha. Bazihlupha ngokuthi bangasebenzisa kanjani ithuba elivezwa umsebenzi kaNkulunkulu ukuthola izibusiso. Abakhathazekile ngenhliziyo kaNkulunkulu, bazikhathaze ngokuphelele ngekusasa nesiphetho sabo. Labo abacasulwa umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu abangenandaba nakancane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu kanye nentando Yakhe, bonke benza okuthandwa yibo, ngokungahambisani nomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuziphatha kwabo akukhunjulwa noma kunanelwe nguNkulunkulu—kungasaphathwa ukuthi kuthole umusa kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 358)

Sekuseduze kakhulu ukuthi umsebenzi Wami uphele, neminyaka eminingi esiyichithe sindawonye isiyinkumbulo engabekezeleleki. Ngiphindaphinde amazwi Ami futhi ngawuvula njalo umsebenzi Wami omusha. Empeleni, iseluleko Sami siyingxenye edingekayo esiqeshini ngasinye somsebenzi engiwenzayo. Ngaphandle kweseluleko Sami, nonke benizonhlanhlatha futhi nidideke ngokuphelele. Umsebenzi Wami usuzophela manje futhi ususesigabeni sokugcina. Ngisafisa ukwenza umsebenzi wokweluleka, okuwukuthi, nginikeze amazwi okweluleka ukuze niwezwe. Ngethemba kuphela ukuthi ngeke nikuchithe ukuzikhandla kwami, futhi ngaphezu kwalokho, ukuthi nizokuqonda konke ukunakekela okunokucabanga engikwenzile, namukele amazwi Ami njengesisekelo sendlela eniziphatha ngayo njengabantu. Noma ngabe awuhlobo lwamazwi enizimisele ukuwalalela noma cha, noma ngabe nijabulela ukuwamukela noma niwamukela ngokungakhululeki kuphela, kufanele niwathathe njengabalulekile. Ngaphandle kwalokho, izimo nokuziphatha kwenu kokuthatha kalula izinto kanye nokungabi nandaba kuzongenza ngingajabuli ngempela, futhi ngempela, kuzongicasula. Ngethemba kakhulu ukuthi nonke nizowafunda ngokuphindaphinda amazwi Ami—izikhathi eziyizinkulungwane—nokuthi nize niwazi ngenhliziyo. Yile ndlela kuphela eniyokwazi ngayo ukwenza lokho engikulindele kini. Nokho, akekho noyedwa phakathi kwenu ophila kanje manje. Kunalokho, nonke nicwile empilweni eyonakele, impilo yokuphuza nokudla nize nikubuke, futhi akekho phakathi kwenu osebenzisa amazwi Ami ukuze nicebise izinhliziyo kanye nemiphefumulo yenu. Yilesi isizathu esenze ngaphetha ngokuthi isimo sangempela sesintu siwukuthi: Umuntu angangikhaphela noma nini, futhi akekho noyedwa ongathembeka ngokuphelele emazwini Ami.

“Umuntu ukhohlakaliswe uSathane kangangokuba akasenakho ukubonakala komuntu.” Iningi labantu liyawabona manje la mazwi kuze kufike ezingeni elithile. Ngisho lokhu ngenxa yokuthi “ukubona” engibhekise kukho kuwuhlobo nje lokwamukela okungasho lutho uma kuqhathaniswa nolwazi lweqiniso. Njengoba kungekho noyedwa phakathi kwenu ongazihlola ngokunembile noma azihlaziye ngokuphelele, nihlala ningacacisi ngamazwi Ami. Kodwa kulokhu, ngisebenzisa amaqiniso ukuchaza inkinga enkulu kakhulu ekinina. Leyo nkinga eyokukhaphela. Nonke nilijwayele igama elithi “ukukhaphela” ngenxa yokuthi abantu abaningi bakwenzile okuthile okukhaphela abanye, njengomyeni nje ekhaphela umkakhe, inkosikazi ikhaphela umyeni wayo, indodana ikhaphela uyise, indodakazi ikhaphela unina, isigqila sikhaphela inkosi yaso, abangani bekhaphelana, izihlobo zikhaphelana, abathengisi bekhaphela abathengi, njalonjalo. Zonke lezi zibonelo ziqukethe ingqikithi yokukhaphela. Kafushane, ukukhaphela wuhlobo lokuziphatha olwephula isithembiso, olwephula izimiso zokuziphatha, noma olwenza ngokuphambene nezimiso zokuziphatha kwabantu, okubonisa ukulahleka kobuntu. Ngokuvamile, njengomuntu ozalelwe kulo mhlaba, kuyobe uke wayenza into enokukhaphela iqiniso, kungakhathaleki ukuthi uyakhumbula yini wenza okuthile kokukhaphela omunye umuntu, noma ukuthi uke wabakhaphela abanye ezikhathini eziningi ezedlule. Ngoba uyakwazi ukukhaphela abazali noma abangani bakho, khona-ke uyakwazi ukukhaphela abanye, futhi ngaphezu kwalokho uyakwazi ukukhaphela Mina nokwenza izinto engizizondayo. Ngamanye amazwi, ukukhaphela akusona nje isimo esingatheni sokuziphatha kabi, kodwa yinto ephambana neqiniso. Lokhu kuwumthombo impela wokuthi isintu simelane Nami futhi singangilaleli. Yingakho ngikufingqe ngala mazwi alandelayo: Ukukhaphela kuyimvelo yomuntu, futhi le mvelo iyisitha esikhulu sokuvumelana komuntu ngamunye Nami.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 359)

Ukuziphatha okungangilaleli ngokuphelele kuwukukhaphela. Ukuziphatha okungakwazi ukwethembeka Kimi kuwukukhaphela. Ukungikhohlisa nokusebenzisa amanga ukuze ungikhohlise kuwukukhaphela. Ukuba nemibono eminingi nokuyisabalalisa yonke indawo kuwukukhaphela. Ukungasekeli ubufakazi Bami nalokho engikuthandayo kuwukukhaphela. Ukumamatheka ngokuzenzisa lapho umuntu ekude Nami ngenhliziyo kuwukhaphela. Zonke lezi yizenzo zokukhaphela, ebenihlala nikwazi ukuzenza, futhi zivamile phakathi kwenu. Akekho kinina ongacabanga ukuthi lokhu kuyinkinga, kodwa Mina angicabangi kanjalo. Ngeke ngithathe ukungikhaphela komuntu njengendaba engasho lutho, futhi ngokuqinisekile, ngeke ngikuzibe. Manje, lapho ngisebenza phakathi kwenu, niziphatha ngale ndlela—uma kufika usuku lapho kungasekho ozonibheka, nonke ngeke yini nibe yizephulamthetho ezizibeke zaba amakhosi? Lapho kwenzeka lokho, bese nidala inhlekelele, ubani ozohlanza umonakalo eniwenzile? Nicabanga ukuthi ezinye izenzo zokukhaphela ziyizinto nje zangaleso sikhathi, kunokuba ukuziphatha okuphikelelayo, futhi azifanele nokuthi kuxoxwe ngazo kakhulu kangako, ngendlela enehlisayo. Uma nicabanga kanjalo ngempela, khona-ke nintula ukuqonda. Ukucabanga kanjalo ukuba yisibonelo nomfuziselo wokuhlubuka. Imvelo yomuntu iwukuphila kwakhe; iyisimiso athembela kuso ukuze aphile, futhi akakwazi ukusiguqula. Imvelo yokukhaphela iyefana—uma ungenza okuthile ukuze ukhaphele isihlobo noma umngani, kukhombisa ukuthi kuyingxenye yokuphila kwakho futhi kuyimvelo owazalwa nayo. Lokhu kuyinto okungekho muntu ongayiphika. Ngokwesibonelo, uma umuntu ethokozela ukweba izinto zabanye abantu, khona-ke lokhu “kuthokozela ukweba” kuyingxenye yokuphila kwakhe, nakuba ngezinye izikhathi kungenzeka ukuthi ebe, futhi ngezinye izikhathi angebi. Ukuthi uyeba noma cha, akubonisi ukuthi ukweba kwakhe kuwuhlobo nje lokuziphatha. Kunalokho, kubonisa ukuthi ukweba kwakhe kuyingxenye yokuphila kwakhe—okungukuthi, kuyimvelo yakhe. Abanye bazobuza: Ngoba kuyimvelo yakhe, khona-ke kungani ngezinye izikhathi lapho ebona izinto ezinhle, angazebi? Impendulo ilula kakhulu. Kunezizathu eziningi zokuthi kungani angebi. Kungenzeka angayebi into ngoba inkulu kakhulu ukuba ayihlwithe emehlweni aqaphile, noma asikho isikhathi esikahle sokuba enze lokho, noma into ibiza kakhulu, iqashwe ngeso lokhozi, noma mhlawumbe akanandaba naleyo nto, noma akaboni ukuthi inamsebenzi muni kuye, nokunye. Zonke lezi zizathu zingenzeka. Kodwa noma ngabe yini, ukuthi uyeba noma cha, ngeke kubonise ukuthi lo mqondo ukhona njengesigameko sesikhashana, esedlulayo. Kunalokho, lokhu kuyingxenye yemvelo yakhe okunzima ukuyiguqula ibe ngcono. Umuntu onjalo akaneliswa nje ukweba kanye; imicabango enjalo yokuthatha izinto zabantu zibe ngezakhe iyavuka noma nini lapho ebona into enhle, noma isimo esivumayo. Yingakho ngithi umsuka walo mcabango awuyona into ecoshwa ngaleso naleso sikhathi, kodwa usemvelweni yakhe lo muntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 360)

Noma ubani angasebenzisa amazwi akhe nezenzo zakhe ukumela ubuso bakhe bangempela. Lobu buso bakhe bangempela, empeleni, buyimvelo yakhe. Uma ungumuntu okhuluma ngokugwegwesa, khona-ke unemvelo engaqondile. Uma imvelo yakho inobuqili, khona-ke indlela owenza ngayo izinto iba nobugebengu, futhi ukwenza kube lula ukuthi ubakhohlise. Uma imvelo yakho iyimbi, kungenzeka amazwi akho ezwakale emnandi, kodwa izenzo zakho ngeke zifihle amaqhinga akho amabi. Uma imvelo yakho inokuvilapha, khona-ke konke okushoyo kuyoba okuhlose ukugwema ukubhekana nomthwalo wokwenza kwakho ngokugcina icala kanye nobuvila, futhi izenzo zakho ziyohamba kancane nangokuzihudula, futhi uyoba nekhono kakhulu ekufihleni iqiniso. Uma imvelo yakho inozwelo, khona-ke amazwi akho azoba nokucabangela, futhi izenzo zakho, nazo ziyovumelana kahle neqiniso. Uma imvelo yakho inokwethembeka, khona-ke amazwi akho nakanjani azoba qotho futhi indlela owenza ngayo izinto izoba nesisekelo, ingabi nalutho olungenza inkosi yakho ingakhululeki. Uma imvelo yakho inenkanuko noma ihahela imali, khona-ke inhliziyo yakho iyovama ukugcwaliswa yilezi zinto, futhi uyokwenza izinto eziphambukile, nezinokungcola, ungaqondile, okuyokwenza abantu bangazikhohlwa kalula neziyokwenyanyisa abantu. Njengoba ngishilo, uma unemvelo yokukhaphela, khona-ke kuyoba nzima kuwe ukuzikhulula kuyo. Ungathembeli enhlanhleni yokuthi uma ungakaze wone muntu, awunayo imvelo yokukhaphela. Uma kuyilokho okucabangayo-ke, ngokuqinisekile, uyavukela. Onke amazwi Ami, njalo lapho ngikhuluma, aqondiswe kubo bonke abantu, hhayi nje kumuntu oyedwa noma ohlotsheni lomuntu olulodwa. Ngenxa nje yokuthi awungikhaphelile odabeni olulodwa akusho ukuthi ngeke ungikhaphele kolunye udaba. Ngenkathi befuna iqiniso, abanye abantu balahlekelwa ukuzethemba lapho kuvela izimbuyiselamuva emshadweni wabo. Abanye abantu bashiya isibopho sabo sokwethembeka Kimi ngesikhathi sokubhidlika komndeni. Abanye abantu bayangishiya ukuze bayofuna injabulo nesasasa lesikhashana. Abanye abantu bangamane bangene eweni elimnyama kunokuba baphile ekukhanyeni futhi bathole intokozo yomsebenzi kaMoya oNgcwele. Abanye abantu abasinaki iseluleko sabangani ngenxa yokuthi bafuna ukwanelisa ukuhahela kwabo umcebo, futhi namanje abawavumi amaphutha abo bese beguquka. Abanye abantu baphila isikhashana kuphela ngaphansi kwegama Lami ukuze bathole ukuvikela Kwami, ngesikhathi abanye bezinikela kancane kuphela Kimi ngokuphoqeleleka ngoba bebambelele ekuphileni futhi besaba ukufa. Ingabe lezi kanye nezinye izenzo zokuziphatha kabi kanye, nokungaphezu kwalokho, nezenzo ezingahlonipheki aziyikho ukuziphatha abantu okukade bangikhaphela ngazo ekujuleni kwezinhliziyo zabo? Impela, ngiyazi ukuthi abantu abakuhleli ngaphambili ukungikhaphela; ukukhaphela kwabo kuwukwambula imvelo yabo ngokwemvelo. Akekho umuntu ofuna ukungikhaphela, futhi akekho ojabulayo ngenxa yokuthi wenze okuthile ukuze angikhaphele. Kunalokho, bayathuthumela ngokwesaba, abanjalo? Ngakho, ingabe nicabanga ngokuthi ningakubuyisa kanjani lokhu kukhaphela, nokuthi ningasiguqula kanjani isimo samanje?

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 361)

Imvelo yomuntu yehluke ngokuphelele engqikithini Yami, ngokuba imvelo yomuntu ekhohlakele yonke ivela kuSathane; imvelo yomuntu isetshenzwe yabuyei yakhohlakaliswa uSathane. Okuwukuthi, umuntu uphila ngaphansi kwethonya elibi kanye nobubi bukaSathane. Umuntu akakhuleli ezweni leqiniso noma endaweni engcwele, futhi kuncane ukuphila komuntu ekukhanyeni. Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuba noma ngubani abe neqiniso emvelweni yakhe kusuka ezalwa, futhi mancane ngokwengeziwe amathuba okuba azalwe enengqikithi eyesaba futhi elalela uNkulunkulu. Kunalokho, abantu banemvelo emelana noNkulunkulu, engalaleli uNkulunkulu, futhi engalithandi iqiniso. Le mvelo iyinkinga engifuna ukukhuluma ngayo—ukukhaphela. Ukukhaphela kuwumthombo wokumelana noNkulunkulu komuntu ngamunye. Le yinkinga ekhona kumuntu kuphela, futhi hhayi Kimi. Abanye bazobuza: Njengoba bonke abantu bephila ezweni njengoKristu, kungani bonke abantu benemvelo ekhaphela uNkulunkulu, kodwa uKristu engenayo? Le yinkinga okufanele nichazelwe yona ngokucacile.

Isisekelo sokuphila kwesintu siwukuphila kabusha komphefumulo okuphindekayo. Ngamanye amazwi, umuntu ngamunye uthola ukuphila komuntu enyameni lapho kuzalwa umphefumulo wakhe kabusha. Ngemva kokuzalwa komzimba womuntu, ukuphila kwawo kuyaqhubeka kuze kufinyelele lapho inyama ifika emkhawulweni wayo, okuwumzuzu wokugcina, lapho umphefumulo ushiya khona indlu yawo. Le nqubo iyaphindeka kaninginingi, ngalokho ukuba khona kwesintu kuyagcineka. Impilo yenyama futhi iyimpilo yomphefumulo womuntu, futhi umphefumulo womuntu usekela ukuba khona kwenyama yomuntu. Okungukuthi, ukuphila komuntu ngamunye kuvela emphefumlweni wakhe, futhi impilo ayibophezelekile ngokwemvelo enyameni. Ngakho, imvelo yomuntu ivela emphefumulweni, hhayi enyameni. Ngumphefumulo womuntu ngamunye kuphela owazi ukulinga, ukuhlupha, nokukhohlakalisa kukaSathane. Inyama yomuntu ngeke izazi lezi zinto. Ngakho, isintu ngokungaqondile siba mnyama, siba nokungcola, nobubi ngokwengeziwe, ngesikhathi igebe phakathi komuntu Nami liya ngokuya likhula, nempilo iya ngokunya iba mnyama esintwini. USathane uphatha imiphefumulo yesintu ezandleni zakhe, ngakho, ngokusobala, nomzimba womuntu ungenwe uSathane. Kungenzeka kanjani ukuthi inyama enjalo kanye nesintu esinjalo singamelani noNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi bahambisane ngokwemvelo Naye? Isizathu esenza ukuthi ngiphonse uSathane emoyeni wukuthi wangikhaphela. Ngakho-ke abantu bangasinda kanjani ekuzibandakanyeni kukho? Yilesi isizathu esenza ukukhaphela kube yimvelo yomuntu. Ngethemba ukuthi uma seniqonda lokhu kucabanga, kufanele futhi nikholwe yingqikithi kaKristu. Inyama eyembethwe uMoya kaNkulunkulu yinyama kaNkulunkulu uqobo. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unamandla onke, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, inyama Yakhe nayo iphakeme, inamandla onke, ingcwele, futhi ilungile. Inyama enjalo ingenza kuphela lokho okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla; akakwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma emelene nobuqotho nobulungiswa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela inyama Yakhe ayikhohlakaliswa nguSathane; inyama Yakhe inengqikithi eyehlukile enyameni yomuntu. Ngoba ngumuntu, hhayi uNkulunkulu, okhohlakaliswa nguSathane; uSathane ngeke akwazi ukukhohlakalisa inyama kaNkulunkulu. Ngakho, nakuba umuntu noKristu bahlala endaweni efanayo, ngumuntu kuphela ongenwa, asetshenziswe, futhi abanjwe uSathane. Ngokwehlukile, uKristu akangenwa naphakade ukukhohlakala kukaSathane, ngoba uSathane ngeke aze akwazi ukukhuphukela endaweni ephezu kwakho konke, futhi ngeke aze akwazi ukusondela kuNkulunkulu. Namuhla, kufanele nonke niqonde ukuthi yisintu kuphela, esikhohlakaliswe nguSathane, esingikhaphelayo. Ukukhaphela akusoze kwaba yinkinga ebandakanya uKristu nakancane.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 362)

Yonke imiphefumulo ekhohlakaliswe uSathane iyizigqila embusweni kaSathane. Yilabo abakholwa kuKristu kuphela abehlukaniswe, basindiswa enkambini kaSathane, base belethwa embusweni wanamuhla. Laba bantu abasaphili ngaphansi kwethonya likaSathane. Noma kunjalo, imvelo yomuntu isagxile enyameni yomuntu, okungukuthi ngisho noma imiphefumulo yenu isindisiwe, imvelo yenu isafana nakuqala, nethuba lokuthi nizongikhaphela lisekhona ngokugcwele. Kungakho umsebenzi Wami uqhubeka isikhathi eside, ngoba imvelo yenu inenkani. Manje nonke nihlupheka kakhulu ngenkathi nenza ngakho konke ukuze nifeze imisebenzi yenu, kodwa nonke ngamunye ningakwazi ukungikhaphela bese nibuyela embusweni kaSathane, enkambini yakhe, futhi niphindele ekuphileni kwenu okudala—lokhu kuyiqiniso elingephikwe. Ngaleso sikhathi, ngeke kwenzeke ukuba niveze noluncane uphawu lobuntu noma inswebu yobuntu njengoba nenza manje. Ezimweni ezibucayi, nizobhujiswa, futhi, ngaphezu kwalokho, nibhubhe kuze kube phakade, nijeziswe kanzima, ningaphinde nizalwe kabusha. Lena yinkinga ebekwe phambi kwenu. Nginikhumbuza ngale ndlela ukuze, okokuqala, umsebenzi Wami ungabi yize, futhi okwesibili, ukuze nonke niphile ezinsukwini zokukhanya. Eqinisweni, ukuthi umsebenzi Wami uyize akuyona inkinga enkulu. Okubalulekile ukuthi nikwazi ukuba nokuphila okujabulisayo nekusasa elimangalisayo. Umsebenzi Wami ngumsebenzi wokusindisa imiphefumulo yabantu. Uma umphefumulo wakho uwela ezandleni zikaSathane, khona-ke umzimba wakho ngeke ube nokuthula. Uma ngivikela umzimba wakho, khona-ke umphefumulo wakho, ngokuqinisekile, uzoba ngaphansi kokunakekelwa Yimi. Uma ngikwenyanya ngempela, khona-ke umzimba kanye nomphefumulo wakho kuzowela ezandleni zikaSathane masinyane. Ungacabanga ukuthi isimo sakho siyoba njani ngaleso sikhathi? Uma amazwi Ami elahleka kini ngolunye usuku, khona-ke ngizoninikela kuSathane ozonihlupha kabuhlungu kuze kuphele intukuthelo Yami ngokuphelele, noma nginijezise mina uqobo, nina bantu abangahlengeki, ngoba izinhliziyo zenu ezingikhaphelayo azisoze zaguquka.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 363)

Manje kufanele nonke nizihlole ngokushesha okukhulu, ukuze nibone ukuthi kungakanani ukungikhaphela enisenakho ngaphakathi kini. Ngiyilindele ngokungenaso isineke impendulo yenu. Ningenzi ngokunganaki uma nibhekene Nami. Angidlali ngabantu. Uma ngithi ngizokwenza into, khona-ke ngizoyenza nakanjani. Ngethemba ukuthi nonke nizowathatha njengabalulekile amazwi Ami, futhi ningacabangi ukuthi ayizindaba eziqanjiwe zesayensi. Engikufunayo kini yizenzo eziphathekayo, hhayi enikucabangayo. Okulandelayo, kufanele niphendule imibuzo Yami, ehamba kanje: 1. Uma ngempela ungumenzi womsebenzi, ingabe ungangisebenzela ngokwethembeka, ngaphandle kwanoma yikuphi ukugcina icala noma umbono ongemuhle? 2. Uma uthola ukuthi angikaze ngikwazise, ingabe uyoqhubeka uhlale futhi ungisebenzele ukuphila kwakho konke? 3. Uma ngilokhu ngibanda kuwe phezu kokuthi uzikhandle kakhulu, uzokwazi yini ukuqhubeka ungisebenzele ekufihlakaleni? 4. Uma, ngemva kokuthi uchithe izinto ezithile ngenxa Yami, ngingazenelisi izimfuno zakho ezincane, ingabe uzophela amandla futhi udumale Ngami noma uze uthukuthele futhi ungithuke? 5. Uma kade ulokhu wethembeke kakhulu, ungithanda kakhulu, kodwa uhlushwa ukugula, ubumpofu, kanye nokushiywa abangani nezihlobo zakho, noma uma ubekezelela noma yimaphi amanye amashwa ekuphileni, ingabe ukwethembeka kwakho nokungithanda kwakho kusazoqhubeka? 6. Uma kungekho nokukodwa oke wakucabanga enhliziyweni yakho okufana nalokho engikwenzile, khona-ke uzoyihamba kanjani indlela yakho yesikhathi ezayo? 7. Uma ungatholi lutho obulindele ukuthi uzoluthola, ingabe uzoqhubeka ube umlandeli Wami? 8. Uma ungakaze uyiqonde inhloso nokubaluleka komsebenzi Wami, ungaba umuntu olalelayo ongahluleli futhi enze iziphetho ngokungacabangi? 9. Ungawazisa yini wonke amazwi engiwashilo nawo wonke umsebenzi engiwenzile ngesikhathi ngikanye nesintu? 10. Uyakwazi yini ukuba ngumlandeli Wami othembekile, ozimisele ukungihluphekela ukuphila kwakhe konke noma ungatholi lutho? 11. Ingabe uzokwazi ukungacabangi, ukungahleli, noma ukungazilungiseleli indlela yakho yokuphila esikhathini esizayo ngenxa Yami? Le mibuzo imele izimfuno Zami zokugcina kini, futhi ngethemba ukuthi nonke nizongiphendula. Uma ufeza okukodwa noma okubili ezintweni ezikule mibuzo, khona-ke kusadingeka uqhubeke nokusebenza kanzima. Uma ungeke ufeze nokukodwa kulezi zimfuno, khona-ke ngempela uwuhlobo lomuntu oluzophonswa esihogweni. Angidingi ukusho okwengeziwe kubantu abanjalo, ngenxa yokuthi empeleni abayibo abantu abangavumelana Nami. Ngingamgcina kanjani ekhaya Lami umuntu ongangikhaphela kunoma yisiphi isimo? Kulabo abasengangikhaphela ezimweni eziningi, ngizobheka ukwenza kwabo ngaphambi kokuthi ngenze amanye amalungiselelo. Nokho, bonke abangangikhaphela, kungakhathaleki ukuthi kungaphansi kwaziphi izimo, ngeke ngibakhohlwe; ngizobakhumbula enhliziyweni Yami, ngilindele ithuba lokuphindisela ngezenzo zabo ezimbi. Izimfuno engiziphakamisile zonke ziyizinkinga okufanele nizihlole kini. Ngethemba ukuthi nonke nizozicabanga ngokubalulekile futhi ningabhekani Nami sakugcina icala. Esikhathini esingekude esizayo, ngizohlola izimpendulo eninginike zona ngiziqhathanise nezimfuno Zami. Ngaleso sikhathi, ngeke ngidinge okunye kini futhi ngeke ngisaninikeza isiyalo esiqinile. Kunalokho, ngizosebenzisa igunya Lami. Labo okufanele bagcinwe bazogcinwa, labo okufanele bavuzwe bazovuzwa, labo okufanele banikelwe kuSathane bazonikelwa kuSathane, labo okufanele bajeziswe kanzima bazojeziswa kanzima, kanti labo okufanele babhubhe bazobhujiswa. Ngaleyo ndlela, ngeke kusaba khona umuntu ozongiphazamisa ezinsukwini Zami. Ingabe uyawakholwa amazwi Ami? Ingabe uyakholelwa empindiselweni? Ingabe uyakholwa ukuthi ngizojezisa bonke ababi abangikhohlisayo nabangikhaphelayo? Ingabe ulangazelela ukuthi lolo suku lufike ngokushesha noma ukuba lwephuze ukufika? Ingabe ungumuntu owesaba isijeziso, noma umuntu ongamelana Nami ngisho noma kuzodingeka ubhekane nesijeziso? Lapho lolo suku lufika, ingabe uzibona uphila phakathi kokuhalalisa nokuhleka, noma uyokhala futhi ugedle amazinyo? Luhlobo luni lwesiphetho owethemba ukuthi uzoba naso? Ingabe uke wakucabanga ngokujulile ukuthi ukholwa Kimi ngokugcwele noma ungingabaza ngokugcwele? Uke wakucabanga ngokucophelela ukuthi izenzo nokuziphatha kwakho kuyokulethela luhlobo luni lwemithelela nemiphumela? Ingabe wethemba ngempela ukuthi onke amazwi Ami azogcwaliseka ngalinye, noma uyesaba ukuthi amazwi Ami azogcwaliseka ngalinye? Uma wethemba ukuthi ngihamba ngokushesha ukuze ngigcwalise amazwi Ami, kufanele uwaphathe kanjani amazwi kanye nezenzo zakho? Uma ungethembi ukuthi ngizohamba futhi ungethembi ukuthi amazwi Ami onke azogcwaliseka ngokushesha, khona-ke kungani ngempela ukholwa Kimi? Ingabe uyazi ngempela ukuthi ungilandelelani? Uma isizathu sakho siwukwandisa amathuba akho nje, asikho isidingo sokuba uzikhathaze kangaka. Uma kuwukuthi ufuna ukubusiswa nokugwema inhlekelele ezayo, kungani ungakhathazeki ngokuziphatha kwakho? Kungani ungazibuzi ukuthi ungakwazi yini ukwanelisa izimfuno Zami? Kungani ungazibuzi ukuthi ukufanele yini ukuthola izibusiso ezizayo?

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 364)

Bonke abantu Bami abakhonza Kimi kumelwe bakhumbule isikhathi esedlule: Ingabe uthando lwenu Ngami lwalungcolisiwe? Ingabe ukuthembeka kwenu Kimi kwakumsulwa futhi nithembeke ngenhliziyo yonke? Ingabe ulwazi lwenu Ngami lwaluyiqiniso? Enhliziyweni yenu benginendawo engakanani? Ingabe bengigcwele yonke indawo? Amazwi Ami afeze umsebenzi ongakanani ngaphakathi kwenu? Ningangenzi isilima! Lezi zinto zicace bha Kimi! Namuhla, njengoba kukhulunywa izwi lensindiso, ingabe kuke kwaba khona ukwanda kothando Lwami kini? Ingabe ingxenye yokuthembeka kwenu Kimi isimsulwa? Ingabe ulwazi lwenu Ngami selujulile? Ingabe indumiso yesikhathi esedlule ibeke isisekelo solwazi lwenu namuhla? Ngaphakathi kini ingakanani indawo yoMoya Wami? Isithombe Sami sinendawo engakanani ngaphakathi kini? Ingabe amazwi Ami anishaye lapho nibuthaka khona? Ingabe ngempela nizizwa sengathi akukho lapho nizofihla khona ihlazo lenu? Ingabe ngempela nikholelwa ukuthi anifanele ukuba ngabantu Bami? Uma nizazi izimpendulo zale mibuzo engenhla, lokhu kukhombisa ukuthi nidoba emanzini adungekile, kusho ukuthi nilapho nje ukwengeza isibalo, kanti ngesikhathi esabekwa Yimi ngaphambilini, nizosuswa niphonswe emgodini ongenamkhawulo okwesibili. Lawa ngamazwi Ami esixwayiso, futhi noma ngubani owathatha kancane uzoshaywa ukwahlulela Kwami, futhi, ngesikhathi esibekiwe, uzohlaselwa yinhlekelele. Ingabe akunjalo? Ingabe ngisadinga ukuba ngenze ezinye izibonelo ukuze ngibonise lokhu? Ingabe kumelwe ngikhulume ngicacise ukuze nginibekele isibonelo? Kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube manje, abantu abaningi abawalalelanga amazwi Ami ngalokho balahlwe ngaphandle basuswa emfuleni Wami wokubuyiselwa; ekugcineni, imizimba yabo yabhubha nemimoya yabo yaphonswa eHayidesi, kuze kube namuhla basabhekene nokwahlulelwa okubi. Abantu abaningi balandele amazwi Ami, kodwa baphambana nokukhanyisa nokukhanya Kwami, ngalokho ngibakhahlelele eceleni, bawela esandleni sikaSathane baba abangiphikisayo. (Namuhla bonke labo abangiphika ngqo balalela ukuba ngaphezulu kokwemvelo kwamazwi Ami, bangalaleli ubuqu bamagama Ami.) Bakhona nabanye abaningi, nabo, abalalele amazwi Ami nje engiwakhulume izolo, ababambelele “empahleni engasafuneki” yesikhathi esedlule abangawenzi igugu “umkhiqizo” wanamuhla. Laba bantu abathunjiwe uSathane nje kuphela, kodwa sebephenduke izoni zengunaphakade futhi sebephenduke izitha Zami, futhi baphikisana Nami ngqo. Abantu abafana nalaba yibo engibahlulela ngolaka Lwami olukhulu, nanamuhla baseyizimpumputhe, basesemiphandwini eminyama (okungukuthi, abantu abafana nalaba babolile, bayizidumbu ezindikindiki nje ezilawulwa nguSathane; ngoba amehlo abo embozwe Yimi, ngithi bayizimpumputhe). Kuzoba kuhle ukuhlinzeka isibonelo ukuze nibe nokubhekiselwe kukho, ukuze nifunde kukho:

Uma kukhulunywa ngoPawulu, nizocabanga ngomlando wakhe, nezinye izindaba mayelana naye ezingelona iqiniso nezingahambisani neqiniso. Wafundiswa abazali bakhe esemncane, wemukela ukuphila Kwami, ngenxa yokuthi ngakuhlela kusengaphambili ukuthi wayeyoba uhlobo engilufunayo. Eseneminyaka eyi-19, wafunda izincwadi eziningi ngempilo; ngalokho angidingi ukuthi ngenabe ngokuthi kanjani ngenxa yohlobo lomuntu ayilo, nangenxa yokukhanya nokukhanyisa Kwami, ubengakwazi nje kuphela ukukhuluma ngezindaba zikamoya okuphusile, kodwa ubekwazi nokubamba izinhloso Zami. Yebo, lokhu akushiyi ngaphandle ingxube yezinto zangaphakathi nezangaphandle. Noma kunjalo, ukungalungi kwakhe okukodwa kwakungukuthi, ngenxa yethalente lakhe, wayebuye aziqhayise. Ngenxa yalokho, ngenxa yokungalaleli kwakhe, ingxenye eyayimele ingelosi enkulu, ngesikhathi ngiba senyameni okokuqala, wazama ngakho konke ukungangilaleli. Wayengomunye walabo abangawazi amazwi Ami, kanti nendawo Yami enhliziyweni yakhe yase ingasekho. Abantu abafana nalaba baphikisana nobunkulunkulu Bami ngokuqondile, futhi bashaywa Yimi, bakhothame bavume izono zabo ekugcineni. Yingakho, ngemva kokuthi sengisebenzise lokhu anamandla kukho—okungukuthi, ngemva kokuthi esengisebenzele isikhathi—wabuye wawela ezindleleni zakhe ezindala, yize engazange angalaleli amazwi Ami ngqo, akalalelanga ukuhola Kwami kwangaphakathi nokukhanyisa Kwami, ngakho-ke konke lokhu akwenza ngesikhathi esedlule kwaba yize leze; ngamanye amazwi, umqhele wenkazimulo ayekhuluma ngawo waba amazwi angenalutho, umphumela wokubona kwakhe, ngoba kuze kube namuhla usahlulelwa Yimi ezithembisweni Zami.

Esibonelweni esingenhla kuyabonakala ukuthi noma ubani ophikisana Nami (ngokungaphikisi kuphela ubuqu Bami obuyinyama kodwa okubaluleke kakhulu, amazwi Ami kanye noMoya Wami—okungukuthi, ubuNkulunkulu Bami), bathola ukwahlulelwa Yimi besenyameni yabo. Uma uMoya Wami ushiya umuntu, lowo muntu uyawa abheke phansi, ehlele ngqo eHayidesi. Futhi yize umzimba wakho wenyama usemhlabeni, ufana nomuntu ogula ngengqondo: Ulahlekelwa ukucabanga kwakho, masinyane uzizwe sengathi uyisidumbu, uze ungincenge ukuthi ngibulale inyama yakho ngingabe ngisalibala. Abaningi benu abanomoya bazazi kahle lezi zimo, futhi angidingi ukuba ngize ngigxile kakhulu emininingwaneni yazo. Esikhathini esedlule, lapho ngisebenza ebuntwini obujwayelekile, abantu abaningi bese bezilinganisele ngokwabo ngolaka Lwami nobukhulu Bami, futhi bazi okuncane ngobuhlakani Bami kanye nesimo Sami. Namuhla, ngikhuluma futhi ngenze ngobuNkulunkulu ngokuqondile, kodwa basekhona abantu abazobona ulaka nokwahlulela Kwami ngamehlo abo enyama; ngaphezu kwalokho, umsebenzi omkhulu wengxenye yesibili enkathini yokwahlulela ukwenza bonke abantu Bami bazi ngokuqondile izenzo Zami enyameni, nokwenza ukuthi nonke nibone isimo Sami ngqo. Kodwa ngoba ngisenyameni, ngiyanicabangela ngobuthakathaka benu. Ngifisa ningawuphathi umoya wenu, umphefumulo nomzimba wenu njengezinto zokudlala, ningenandaba nikunikela kuSathane. Kungcono ukuba konke onakho kube yigugu kuwe, ungadlali ngakho, ngoba izinto ezinjengalezi zihambisana nesimiselo sakho. Ingabe niyakwazi ngempela ukuqonda incazelo yangempela yamazwi Ami? Ingabe niyakwazi ngempela ukuzwelana nemizwa Yami yangempela?

Ingabe uyafisa ukuthokozela izibusiso Zami emhlabeni, izibusizo ezifana nalezi ezisezulwini? Ingabe uyafisa ukuphatha ukungiqonda Mina, nokuthokozela amazwi Ami nolwazi Lwami, njengezinto eziyigugu nezibalulekile empilweni yakho? Ingabe uyakwazi ukuzithoba ngokweqiniso Kimi, ngaphandle kokucabanga ngokuthi uzotholani? Ingabe niyakwazi ukuzivumela ukuba nibulawe Yimi, niholwe Yimi, njengezimvu? Ingabe bakhona phakathi kwenu abakwaziyo ukuzenza lezi zinto? Kungenzeka ukuthi bonke abemukelwe Yimi nabathole izethembiso Zami yilabo abazuze izibusiso Zami? Ingabe kukhona enikuqondile kulawa mazwi? Uma nginivivinya, ningazibeka ngempela emseni Wami, futhi, phakathi kwalokhu kulingwa, funani izinhloso Zami nibone nenhliziyo Yami? Angifuni ukuba ukwazi ukukhuluma amagama athinta abantu, noma nixoxe izindaba ezimnandi; kunalokho, ngicela ukuthi ukwazi ukuba nobufakazi Ngami, nokuthi ukwazi ukungena ujule eqinisweni. Uma bengingakhulumanga ngqo, ubuzokwazi ukushiya konke okukuzungezile uvumele ukusetshenziswa Yimi? Ingabe lokhu akulona iqiniso engilidingayo? Ubani okwaziyo ukubamba incazelo yamazwi Ami? Kodwa ngicela ukuba ningabe nisasindwa ukungabaza, ukuba nisebenze ekungeneni kwenu futhi nibambe isiqu samazwi Ami. Lokhu kuzovimbela ukuba ungenzi iphutha ekuqondeni amazwi Ami, nokungacaciseleki ngencazelo Yami, bese niphula izinqumo Zami zokuphatha. Ngifisa ukuba nibambe izinhloso Zami ngani emazwini Ami. Ningazicabangeli ngenizokuthola, nenze njengoba ninqumile phambi Kwami ukuthi nithobele izinhlelo zikaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Nonke nina enima endlini Yami kumele nenze okuningi eningakwazi ukukwenza; kumele nizinikele esigabeni sokugcina somsebenzi Wami emhlabeni. Ingabe niyafisa ngempela ukwenza lezi zinto?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 4” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 365)

Emhlabeni, lonke uhlobo lomoya omubi luyazulazula lufuna indawo yokuhlala, futhi luhamba luthungatha ngokungaphezi izidumbu zabantu ezingadliwa. Bantu Bami! Kufanele nihlale ngaphansi kokunakekela nokuvikela Kwami. Ningazihlukanisi! Ningabi budedengu! Kunalokho, yibani qotho endlini Yami, futhi ngubuqotho kuphela obunganisiza nikwazi ukumelana nobuqili bukasathane. Ningalinge nenze ngendlela ebenenza ngayo ngaphambili, nenze lokhu phambi Kwami nokunye ngemva Kwami−uma nenza kanjalo ngeke nisakwazi ukuhlengwa. Ngokuqinisekile sengiwasho kaningi amazwi afana nalawa, akunjalo? Isizathu esenza nginikhumbuze ngokuphindaphindiwe ukuthi izindlela zomuntu zakudala aziguquki. Kungakucasuli lokho! Konke engikushoyo kungenxa yokuthi ngifuna ukuqinisekisa ikusasa lenu! Okudingwa uSathane indawo engcolile nenukayo; uma ungenalo ithemba lokulungiseka, futhi unokuphila okungcolile, ukwenqaba ukuqondiswa, yilapho imimoya engcolile izozitholela khona ithuba lokungena kuwe. Lapho senidlule kulokhu, ubuqotho benu buyoba yinkulumo engasho lutho, engenalo iqiniso, futhi imimoya emibi izozidla ziphele izinqumo zenu, ziguquke zibe ukungalaleli noma amaqhinga kaSathane, futhi zisetshenziselwe ukuphazamisa umsebenzi Wami. Ngaleso sikhathi ngizokushaya uze ufe, noma nini nangendlela engithanda ngayo. Akekho noyedwa obaziyo ubunzima balesi simo; bonke abantu bavele bakuzibe lokho abakuzwayo, futhi abaqapheli nakancane. Angikukhumbuli okwenzekile esikhathini esidlule. Ingabe usalindele ukuba ngizwelane nawe ngokuthi uphinde wakhohlwa? Nakuba abantu bemelane Nami, ngeke ngibasole ngalokho, ngoba isiqu somuntu sifushane kakhulu, ngakho angifuni zinto eziphezulu kuye. Engikudingayo nje ukuba angazishabalalisi, futhi athobele umthetho. Ngokuqinisekile akukho yini emandleni enu ukuhlangabezana nalesi silayezelo? Iningi labantu lilindele ukuba ngilembulele izimfihlakalo ezengeziwe ukuze lizitike ngamehlo alo. Nokho, uma ningaziqonda zonke izimfihlakalo zezulu, yini eningayenza ngalolo lwazi? Ingabe lungakhulisa uthando lwenu Ngami? Ingabe lungalujulisa uthando lwenu Kimi? Angimbukeli phansi umuntu, futhi angifinyeleli kalula esinqumeni ngaye. Ukuba bekungezona izimo zangempela zomuntu lezi bengingeke nginikeze abantu la magama kalula. Cabanga ngesikhathi esedlule: Sikhona yini isikhathi lapho nganinyundela khona? Sikhona isikhathi lapho nganeya khona? Sikhona isikhathi lapho ngingazange ngibe nandaba nezimo zenu? Sikhona isikhathi lapho engakusho kwahluleka ukugcwalisa izinhliziyo nemilomo yenu ngokuqiniseka? Sikhona isikhathi lapho ngakhuluma khona ngokungabi nandaba nani? Ubani phakathi kwenu ofunde amazwi Ami ngaphandle kokwesaba nokuthuthumela, esaba ngokujulile ukuthi ngizomphonsa phansi emgodini ongenamkhawulo? Ubani ongabekezeleli ukuvivinywa emazwini Ami? Emazwini Ami kukhona igunya, kodwa akulona elokwahlulela umuntu ngokunganaki; kunalokho, ngokwazi izimo zangempela zomuntu, ngaso sonke isikhathi abantu ngibabonisa umqondo ongaphakathi emazwini Ami. Eqinisweni, ingabe ukhona okwaziyo ukubona amandla Ami amakhulu asemazwini Ami? Ingabe ukhona ongamukela igolide elicolekile amazwi Ami enziwe ngalo? Mangaki amazwi esengiwakhulumile, kodwa ukhona yini oke wawazisa?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 10” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 366)

Usuku nosuku ngiyama ngibuke umhlaba jikelele, futhi ngizifihla ngokuzithoba endaweni Yami engihlala kuyo ukuze ngizwe impilo yomuntu, ngifunde ngokucophelela izenzo zakhe zonke. Akekho oke wazinikela ngeqiniso Kimi. Akekho oke walandelela iqiniso. Akekho oke wazihlupha ngami. Akekho oke wenza izinqumo ngaphambi Kwami wabambelela emsebenzini wakhe. Akekho oke wangivumela ukuba ngihlale kuye. Akekho oke wangenza igugu njengoba enza ngempilo yakhe. Akekho oke wabona, ngokwangempela, konke okuwubunkulunkulu Bami; akekho oke wazimisela ukuxhumana noNkulunkulu woqobo uqobo Lwakhe. Lapho amanzi egwinya abantu bephelele, ngiyabasindisa emanzini amile futhi ngibanike ithuba lokuba nempilo kabusha. Lapho abantu belahlekelwa yithemba lokuphila, ngiyabadonsa ngibakhiphe onqenqemeni lokufa, ngibanikeze isibindi sokuphila, ukuze bangithathe njengesisekelo sokuba khona kwabo. Lapho abantu bengangilaleli, ngenza ukuba bangazi ekungangilalelini kwabo. Ngokwemvelo endala yomuntu nangenxa yomusa Wami, kunokubabulala abantu ngibavumela ukuba baguquke, baqale kabusha. Uma abantu bebulawa yindlala, ngiyabakhipha ekufeni inqobo nje uma besasele nomphefumulo owodwa, ngibavikela ukuba bangaweli ogibeni lobuqili bukaSathane. Kukangaki abantu bebona izandla Zami; kukangaki bebona ubuso Bami obulungile, bebona ubuso Bami obumamathekayo futhi kukangaki bebona ubukhosi Bami, bebona ulaka Lwami. Noma bengakaze bangazi abantu, angithathi ubuthakathaka babo ukuze ngenze izinkinga ezingadingekile. Ngokuzwa ubunzima bomuntu, ngiyazwelana nobuthakathaka bomuntu. Ukuphendula kuphela ukungalaleli kwabantu, ukungabongi kwabo, okwenza ukuthi ngikhiphe ukusola ngamazinga ehlukene.

Ngiyazifihla ngesikhathi abantu bematasa bese ngiyaziveza ngesikhathi bezihlalele. Abantu bacabanga ukuthi ngazi konke futhi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ophendula zonke izicelo. Ngakho abaningi beza Kimi ukuzocela usizo lukaNkulunkulu, hhayi ngokufisa ukwazi Mina. Uma besokhukhwini lokufa, abantu bayashesha ukucela usizo Lwami. Uma besebunzimeni, babuveza Kimi ubunzima babo ngamandla abo onke ukuze ngiqede ukuhlupheka kwabo. Kodwa akekho namunye umuntu okwazile ukuthi futhi angithande esanethezekile. Akekho namunye umuntu owavela ngesikhathi sakhe soxolo nenjabulo ukuze Nami ngijabule kanye naye. Lapho imindeni yabo emincane ijabule futhi iphila kahle, abantu basuke sebengilahle kudala noma bengivalele umnyango, bengivimbela ukuba ngingene ukuze bajabulele injabulo yomndeni ebusisekile. Ingqondo yomuntu incane kakhulu, incane kakhulu kangangoba ayikwazi nokubamba uNkulunkulu onothando, onomusa nokusondelekayo Kuye njeNgami. Kukangaki ngaliwa ngabantu ngezikhathi zabo zokuhleka nokujabula, kukangaki bezimelela Ngami njengodondolo uma befuna ukuwa; kukangaki ngiphoqwa ukuba ngibe ngudokotela wabantu uma begula. Sinesihluku kangakanani isintu! Asinangqondo futhi asiziphethe kahle ngempela. Akubonakali ngisho nemizwa le okucatshangwa ukuthi abantu banayo. Bacishe bangabi ngisho noluncane oluwubuntu. Cabanga ngokwedlule ukuqhathanise nokwamanje. Ingabe lukhona uguquko olwenzekayo kuwe? Ingabe kuncane okwedlule okusekhona manje? Noma mhlawumbe lokho okwedlule kudinga ukubuyiswa?

Ngihambe phezu kwamagquma naphansi nezigodi, ngibona ukwehla nokwenyuka komhlaba. Ngizulile phakathi kwabantu futhi ngahlala phakathi kwabo iminyaka, kodwa kuyabonakala ukuthi isimo sabantu siguquke kancane. Kubukeka sengathi imvelo yomuntu endala isigxilise izimpande yaqhuma kuzo. Abakwazi ukuguqula lesi simo esidala, ukusenza ngcono phezu kwesisekelo sakuqala. Njengoba abantu besho, ingqikithi ayikaguquki, kodwa isimo siguquke kakhulu. Wonke umuntu sengathi uzama ukungikhohlisa, ukungixhopha, ukuze aphunyuke ngobuqili bese ezuza ukwaziswa Yimi. Angihloniphi noma nginake amaqhinga abantu. Kunokuba ngithukuthele kakhulu, ngithatha isimo sokubheka kodwa ngingaboni. Ngihlela ukunikeza abantu ukuxegiselwa okusezingeni elithile bese, ngemva kwalokho, ngibhekana nabo bonke abantu bendawonye. Njengoba bonke abantu beyizihlupheki ezingazihloniphi nezingenamsebenzi, bengazithandi, kungani-ke bedinga ukuba ngibakhombise umusa nothando olusha? Ngaphandle kokunye, abantu abazazi, futhi abasazi nesisindo sabo. Kufanele bazibeke esikalini balinganiswe. Abantu abanginaki, ngokunjalo Nami angibathathi ngokuzimisela. Abantu abanginaki, kanjalo Nami angidingi ukusebenzisa amandla ngenxa yabo. Ingabe lokhu akuzilungele izinhlangothi zombili? Ngabe lokhu akuchazi nina, bantu Bami? Ubani owenze izinqumo phambi Kwami ongazange azichithe ngemva kwalokho? Ubani owenze izinqumo zesikhathi eside phambi Kwami kunokuba enze izinqumo njalo kulokhu nalokhuya? Njalo, abantu benza izinqumo phambi Kwami ngesikhathi kumnandi bazilahle zonke ngezikhathi zobunzima. Kamuva bathatha izinqumo zabo bazibeke phambi Kwami. Ingabe angihlonipheki kangako ukuthi ngesinye isikhathi ngingamukela lokho okungenamsebenzi okuthathwe emfucuzeni? Abantu abambalwa babambelela ezinqumweni zabo, bambalwa abamsulwa, futhi bambalwa abanikela ngezinto zabo eziyigugu njengomhlatshelo Kimi. Ingabe anifani nonke? Uma, njengomunye wabantu Bami embusweni, ungakwazi ukwenza umsebenzi wakho, uzonyanywa futhi ulahlwe Yimi!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 14” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 367)

Umuntu yisidalwa esingazazi. Yize engazazi, kodwa abanye abantu ubazi njengentende yesandla sakhe, njengokungathi bonke badlule kuye “wabahlola” base bephasiswa nguye ngaphambi kokusho noma ukwenza okuthile, kanjalo sengathi ubakale bonke isimo sabo sengqondo. Bonke abantu banjalo. Umuntu ungene eNkathini yoMbuso namuhla, kodwa indalo yakhe ayiguquki. Usaqhubeka nokwenza ngendlela engenza ngayo phambi Kwami, kodwa uma ngingabhekile wenza “ibhizinisi” lakhe elihlukile. Uma sekuphelile lokho, uyabuya eze Kimi, kodwa, usengumuntu ohlukile, obukeka ezolile, eqoqekile, ukushaya komthambo kulungile. Akusikho lokhu okwenza umuntu anyanyise? Bangaki abantu abanobuso obubili obuhlukile, obunye phambi Kwami nobunye uma ngifulathele? Bangaki ababa njengamazinyane asanda kuzalwa phambi Kwami kodwa uma ngifulathele baba yizingwe ezilambile, bese beba njengezinyoni ezincane ezindiza kamnandi emagqumeni? Bangaki abakhombisa ukuba nenhloso nezinqumo phambi Kwami? Bangaki abeza phambi Kwami, befuna amazwi Ami bewomele futhi bewanxanele kodwa, uma ngifulathele, bayakhathala yiwo bawalahle, kungathi amazwi Ami ayabagqilaza? Izikhathi eziningi, ngibona abantu bekhohlakaliswa yisitha Sami, ngaphonsa ithawula ekubekeni ithemba Lami kubantu. Izikhathi eziningi, ngibona abantu beza phambi Kwami bekhala becela intethelelo, kodwa ngenxa yokungazihloniphi, ukuba nenkani okungalungiseki, sengivale amehlo Ami kulokhu akwenzayo ngenxa yentukuthelo, yize noma inhliziyo yakhe iqotho nezinhloso zakhe ziyiqiniso. Izikhathi eziningi, ngibona abantu benalo ithemba lokubambisana Nami, nokuthi wenza kanjani ukuthi phambi Kwami kube sengathi uyalala esifubeni Sami, enambitha imfudumalo yokumgona Kwami. Izikhathi eziningi, ngibona ubumsulwa, ukuphila, nokuthandeka kwabantu Bami abakhethiwe, enhliziyweni Yami ngiyathokoza uma ngibona lezi zinto. Abantu abazi ukuthi bangazithokozela kanjani izibusiso engibabekele zona ezandleni Zami, ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini ukubusiseka noma ukuhlupheka. Ngenxa yalokhu, abantu bakude ekungifuneni ngeqiniso. Uma ngabe ibingekho into okuthiwa ikusasa, kini enimi phambi Kwami, ubani ongaba mhlophe njengeqhwa, angabi nabala njenge-jade? Ngiqinisekile uthando eninalo Ngami akuyona into engashintshaniswa ngesidlo esimnandi, noma ngezimpahla zokugqoka zezinga eliphezulu, noma ihhovisi elikhulu eliholela kahle? Noma, lungashintshaniswa nothando abanye abanalo ngawe? Ngiqinisekile, ukudlula ekulingweni angeke kwenze umuntu alahle uthando analo Ngami? Ngiqinisekile, inhlupheko nokulingwa angeke kwenze umuntu akhalaze ngalokhu engikuhlelile? Akekho umuntu owake wabonga inkemba esemlonyeni Wami: Wazi kuphela lokhu okuyichazayo okungaphandle ngaphandle kokuqonda ingaphakathi layo. Uma abantu bebekwazi ngempela ukubona ubukhali benkemba Yami, bebeyobalekela emigodini yabo njengamagundane. Ngenxa yokungazweli kwabo, abantu akukho abakuqondayo ngencazelo eyiqiniso yamazwi Ami, ngakho-ke abazi ukuthi amazwi Ami ajule kangakanani, noma aveza okungakanani ngendalo yabo, nokuthi inkohlakalo engakanani eseyehlulelwe, kulawo mazwi. Ngenxa yalokhu, ngokubheka ulwazi oluncane abanalo ngamazwi Ami, abantu abaningi bathathe isimo sokuba ndikindiki nokungafuni ukuzibophezela.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 15” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 368)

Eminyakeni ngeminyaka, baningi asebedlulile kulo mhlaba ngokuphoxeka, ngokunqikaza, kanti abaningi bafika kuwo benethemba nokholo. Ngilungiselele ukuthi abaningi beze, futhi sengihambise abaningi. Anginakubabala abantu asebedlule ezandleni Zami. Imimoya eminingi iphonswe esihogweni, baningi abaphile enyameni, kanti baningi abafile nabaphinde bazalwe emhlabeni. Kodwa akekho kubo obe nethuba lokuthokozela izibusiso zombuso namuhla. Kuningi engimnike khona umuntu, kodwa uzuze okuncane, ngoba ukuhlasela kwamandla kaSathane kumenze wangakwazi ukuthokozela ingcebo Yami. Ube nomnotho omuhle awubhekile, kodwa akakaze akwazi ukuwujabulela ngokugcwele. Umuntu akaze ayithole indlu yomcebo emzimbeni wakhe ukuze athole ingcebo yasezulwini, ngalokho uselahlekelwe izibusiso ebengimuphe zona. Ingabe umoya womuntu akubona ubuhlakani obumxhumanisa noMoya Wami? Kungani umuntu engakaze angihlanganise nomoya wakhe? Kungani esondela kimi ngenyama, kodwa ehluleke ukwenza kanjalo ngomoya? Ingabe ubuso Bami bangempela bungobenyama? Kungani umuntu engabazi ubuqu Bami? Ingabe akukho manenjana Ami emoyeni womuntu? Ingabe nginyamalale ngaphela emoyeni womuntu? Uma umuntu engangeni endaweni yakwamoya, angaziqonda kanjani izinhloso Zami? Ingabe kukhona emehlweni omuntu okungangena ngqo endaweni yakwamoya? Kukaningi ngibiza umuntu ngoMoya Wami, kodwa umuntu wenza sengathi ngimgwazile Mina, ungazisa ekude le, ngokwesaba okukhulu kokuthi ngizomholela komunye umhlaba. Kukaningi ngihlola umoya womuntu, kodwa namanje akanalwazi, unokwesaba kakhulu ukuthi ngizongena ekhaya lakhe ngithole ithuba lokumphuca konke anakho. Ngalokho, ungivalela ngaphandle, ungishiya ngingabhekene nalutho kodwa amakhaza, nomnyango ovalwe thaqa. Kukaningi umuntu ewa ngimsindisa, kodwa emva kokuvuka uyangishiya masinyane, engenandaba nothando Lwami, ungiphonsa iso elibukhali; angikaze ngifudumeze inhliziyo yomuntu. Umuntu yisilwane esingenamizwa esinegazi elibandayo. Yize noma efudunyezwa ukumanga Kwami, akukaze kumshukumise lokho. Umuntu ufana nonya lwentaba. Akakaze akwenze igugu ukumazisa Kwami umuntu. Akafuni ukuza Kimi, ukhetha ukuhlala ezintabeni, lapho ebekezelela khona ukusatshiswa yizilwane zasendle—kodwa nalapho akafuni ukukhosela Kimi. Angiphoqe muntu: ngenza nje umsebenzi Wami. Usuku luzofika lapho abantu bezobhukuda eduze Kwami phakathi kolwandle olunamandla, ukuze azothokozela yonke ingcebo esemhlabeni ashiye emuva ubungozi bokugwinywa ulwandle.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 20” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 369)

Abantu abaningi bafisa ukungithanda ngokweqiniso, kodwa ngenxa yokuthi izinhliziyo zabo akuzona ezabo, abakwazi ukuzilawula; abantu abaningi bangithanda ngokweqiniso phakathi kwezilingo engizinikezile, kodwa abakwazi ukuqonda ukuthi ngikhona ngempela, bangithanda nje ngokungelutho, hhayi ngoba ngikhona uqobo; abantu abaningi ngemuva kokwendlala izinhliziyo zabo phambi Kwami, abazinaki ngakho izinhliziyo zabo zihlwithwa nguSathane uma nje ethola ithuba; ngemuva kwalokho bayangishiya; abantu abaningi bangithanda ngobuqotho uma nje ngibanikeza amazwi Ami, kodwa abawazisi amazwi Ami emiphefumulweni yabo, kunalokho bawasebenzisa nje sengathi yimpahla yomphakathi bawajikijele lapho evele khona noma yinini uma sebethanda. Umuntu uyangifuna nasebuhlungwini, kanti ubhekisa Kimina uma ephakathi kwezilingo. Ngezikhathi zoxolo uyangithokozela, uma esengozini uyangiphika, uma ematasa uyangikhohlwa, uma engenzi lutho wenza into engingakholelwa kuyona—akekho nje umuntu oke wangithanda impilo yakhe yonke. Ngifisa sengathi umuntu angaba neqiniso phambi Kwami: Angiceli ukuba angiphe utho, nje ukuthi bonke abantu babe nesiqiniseko Ngami, ukuthi, kunokungikhohlisa, mabangivumele ngibuyise ubuqotho bomuntu. Ukukhanyiselwa Kwami, ukukhanyisa, nenani lemizamo kungena kubo bonke abantu, kodwa futhi kanjalo neqiniso lazo zonke izenzo zomuntu lingena kubo bonke abantu, njengoba kwenza ukungikhohlisa kwabo. Kuba sengathi izithako zokukhohliswa komuntu selokhu zinamathele kuye ukusuka esibelethweni, sengathi ube nala makhono obuqili ukusuka ekubelethweni kwakhe. Okunye futhi, akaze ayikhulumele eziko; akekho oke wabona umnyombo wala makhono enkohliso. Ngenxa yalokho, umuntu uhlala phakathi kwenkohliso angaqapheli, kuba sengathi uyazixolela, kube sengathi ukuhlela kukaNkulunkulu kunokuba ukungikholisa kwangabomu kwakhe. Ngabe akuwona amasu akhe obuqili lawa? Angikaze ngidungeke kangaka wukubatshazwa ngokukhohliswa ngumuntu, ngoba ngiwubone kudalo umsuka wayo. Ubani okwaziyo ukungcola okusegazini lakhe nokuthi ushevu kaSathane osemnkantsheni wakhe ungakanani? Umuntu ujwayela kakhudlwana usuku nosuku, ukufikela lapho engasenandaba nokuhlushwa uSathane, bese angabe esaba nentshisekelo yokuthola “ubuciko bokuphila kahle.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 21” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 370)

Umuntu uphila phakathi kokukhanya, kodwa akabuboni ubugugu bokukhanya. Akasinaki isimo sokukhanya, nesomthombo wokukhanya, futhi ngaphezu kwalokho, kulowo okungokwakhe. Lapho ngethula ukukhanya phakathi kwabantu, ngokushesha ngihlola izimo phakathi kwabo: Ngenxa yokukhanya, bonke abantu bayaguquka, bayakhula futhi babushiyile ubumnyama. Ngiye ngabheka wonke amagumbi omhlaba, futhi ngabona ukuthi izintaba zihaqwe yinkungu, ukuthi amanzi ayiqhwa ngenxa yamakhaza, nokuthi ngenxa yokufika kokukhanya, abantu babheka eMpumalanga ukuze bathole okuthile okuyigugu kakhulu—kodwa umuntu uhlala engakwazi ukwehlukanisa indlela ecacile phakathi kwenkungu. Ngenxa yokuthi umhlaba wonke umbozwe inkungu, uma ngibheka emafwini, ubukhona Bami abubonakali kumuntu; umuntu ufuna okuthile emhlabeni, ubukeka ecingisisa, kubonakala sengathi yilokho akuhlosile, ukulindela ukuza Kwami—kodwa akalwazi usuku Lwami, angabuka nje ukukhanya okuvela eMpumalanga. Phakathi kwabo bonke abantu, ngifuna labo abafuna inhliziyo Yami ngeqiniso, ngihamba phakathi kwabo bonke abantu, ngihlale phakathi kwabo bonke, kodwa umuntu uphephile emhlabeni, ngakho abekho abafuna inhliziyo Yami ngempela. Abantu abazi ukuthi bayenze kanjani intando Yami, abaziboni izenzo Zami, futhi abakwazi ukunyakaza ekukhanyeni bakhazinyuliswe yikho. Noma umuntu elokhu ewazisa amazwi Ami, akakwazi ukubona amaqhinga kaSathane okukhohlisa; ngenxa yokuthi isiqu somuntu sincane kakhulu, akakwazi ukwenza ngendlela inhliziyo yakhe efisa ngayo. Umuntu akaze angithande ngokweqiniso. Uma ngimphakamisa, uzizwa engafaneleki, kodwa lokhu akumenzi ukuba azame ukungenelisa. Uvele abambe “indawo” engimnike yona ezandleni zakhe ayihlolisise, akanazwela ebuhleni Bami, kodwa kunalokho uyakhukhumala yizibusiso zesiteshi sakhe. Ingabe lokhu akubona ubuthaka bomuntu? Uma izintaba zinyakaza, zingakugwema ukuza la ukhona? Uma amanzi egeleza, angema phambi kwendawo yomuntu? Ingabe izulu nomhlaba kungahlehliswa yindawo yomuntu? Ngike ngaba nesihawu kumuntu, kaningana impela—kodwa akekho ongazisayo noma owenza lokhu igugu, bavele balalele njengendaba, noma bafunde sengathi bafunda inoveli. Ingabe amazwi Ami awayithinti inhliziyo yomuntu? Ingabe amazwi Ami awanamphumela? Ingabe kungenxa yokuthi akekho okholelwa ekubeni khona Kwami? Umuntu akazithandi, kunalokho uhlangana noSathane ukungihlasela, asebenzise uSathane “njengempahla” yokungisebenzela. Ngizongena kuwo wonke amaqhinga kaSathane, nginqande abantu emhlabeni ukwamukela ukukhohliswa nguSathane, ukuze bangangiphikisi ngenxa yokuba khona kukaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 22” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 371)

Emehlweni Ami, umuntu ungumbusi wazo zonke izinto. Angimnikanga igunya elincane, ngimvumela ukuba aphathe zonke izinto emhlabeni—utshani phezu kwezintaba, izilwane emahlathini kanye nezinhlanzi emanzini. Kodwa kunokuba ajabule ngenxa yalokhu, umuntu uhlushwa yixhala. Impilo yakhe yonke ibe eyokuhlupheka, nokugijima, nenjabulo efakwe ezeni, futhi empilweni yakhe yonke akukho kuqamba nokudala okusha. Akekho ongakwazi ukuzikhipha kule mpilo eyize, akekho oke wathola impilo enenjongo, kanti akekho oke waphila impilo yeqiniso. Noma bonke abantu banamuhla bephila ngaphansi kokukhanya Kwami okukhazimulayo, abazi lutho ngempilo yasezulwini. Uma ngingenasihawu kumuntu futhi ngingamsindisi, kuzosho ukuthi kuyize ukuba khona kwabo bonke abantu, izimpilo zabo emhlabeni azinamsebenzi, futhi bazohamba ngeze, kungekho lutho abangazigqaja ngalo. Abantu benkolo ngayinye, isigaba somphakathi, isizwe, namabandla bonke bayabazi ubuze bomhlaba, bayangifuna bonke futhi balindele nokubuya Kwami—kodwa ngubani onakho ukungazi uma sengifika? Ngenze zonke izinto, ngidale abantu, namuhla ngehlele kubona. Umuntu, noma kunjalo, uphindisela Kimi, abuyisele ngokuziphindisela Kimi. Ingabe umsebenzi engiwenza kumuntu awunanzuzo kuye? Ingabe ngempela angikwazi ukwanelisa umuntu? Kungani umuntu engilahla? Kungani umuntu ebanda futhi engenandaba Nami? Kungani umhlaba wembozwe yizidumbu? Ingabe ngempela lesi yisimo somhlaba engawudalela umuntu? Kungani nginikeze umuntu ingcebo engaka engelinganiswe, kodwa yena anginikeze izandla ezimbili ezingenalutho? Kungani umuntu engangithandi ngempela? Kungani engezi phambi Kwami? Ingabe wonke amazwi Ami abe yize? Ingabe amazwi Ami ashabalalise okokushisa emanzini? Kungani umuntu engafuni ukusebenzisana Nami? Ingabe ngempela ukufika kosuku Lwami yisikhathi sokufa komuntu? Ngingamshabalalisa ngempela umuntu ngesikhathi lapho umbuso Wami umiswa khona? Kungani, kuso sonke isikhathi secebo Lami lokuphatha, kungabanga khona okwazi ukubamba izinhloso Zami? Kungani, kunokulondoloza amazwi aphuma emlonyeni Wami, umuntu engenyanya futhi ewalahla? Angahluleli namunye, kodwa nje ngenza bonke abantu behlise umoya benze umsebenzi wokuzihlola bona ngokwabo.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 25” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 372)

Abantu bakuzwile ukufudumala kwami, bangisebenzele ngeqiniso, futhi bengilalela ngeqiniso bangenzela konke naphambi Kwami. Kodwa abantu namuhla abakwazi ukukufeza lokhu; abenzi lutho olunye ngaphandle kokukhala emoyeni wabo sengathi bebiwe yimpungushe elambile, futhi bangibuka nje ngokuphelelwa amandla, bengikhalela becela usizo. Kodwa ukusuka ekuqaleni ukuya ekugcineni, abakwazi ukuzikhipha enkingeni. Ngijeqeza emuva ukuthi abantu kudala bebezenza kanjani izethembiso phambi Kwami, befungela ukuphela komhlaba phambi Kwami, ukukhokhela ukulunga Kwami ngothando lwabo. Bakhale kalusizi phambi Kwami, umsindo wokukhala kwabo ubuphula inhliziyo ungabekezeleki. Ngangivamise ukubaseka ngenxa yentando yabo. Abantu beze phambi kwami izikhathi eziningi ukuzongihlonipha, kanti ukuziphatha kwabo okuhle kuyakhumbuleka. Izikhathi eziningi beza ukuzongithanda ngokholo olungantengezeli, kanti imizwa yabo yeqiniso iyababazeka. Kaningi, babeka izimpilo zabo engcupheni ukungithanda, ukuthanda Mina ngaphezu kwabo, ngokubona ukuba neqiniso kwabo, ngalwamukela uthando lwabo. Kaningi bazinikela phambi Kwami, kungakhathaleki nasekufeni ngenxa Yami, ngasusa ukukhathazeka ebusweni babo ngalinganisa ubuso babo ngokucophelela. Kube nezikhathi ezingebalwe lapho ngabathanda khona njengegugu Kimi, kanti kube nezinye lapho ngabazonda khona njengesitha Sami. Nginjalo-ke Mina—bangeqagele okusengqondweni Yami. Uma abantu bedabukile, ngiyabaduduza, uma bebuthakathaka ngiyabasiza. Uma belahlekile ngibakhombisa indlela. Uma bekhala ngesula izinyembezi zabo. Nakuba kunjalo, Mina uma ngidabukile abanakungiduduza ngezinhliziyo zabo? Uma ngikhathezeke kakhulu, ubani onozwelo ngemizwa Yami. Uma ngidabukile, ubani ongasusa ubuhlungu engibuzwayo? Uma ngidinga omunye, ubani ongazinikela ukusizana Nami? Kwenzeka kanjani ukuthi ukuziphatha kwabo okwedlule Kimi kulahlekile angeke kusabuya? Kungani kube sengathi abasakhumbuli lutho? Kungani kube sengathi abantu bakukhohliwe konke lokhu? Akwenziwa ukuthi abantu bakhohlakaliswe yizitha zabo?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 27” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 373)

UNkulunkulu wadala isintu, kodwa uma efika emhlabeni wabantu bafuna ukumelana naye, bayamxosha endaweni yabo, sengathi uyintandane ethile nje ezula emhlabeni, noma njengomuntu womhlaba ongenazwe. Akekho ozizwa exhumene noNkulunkulu, akekho omthanda ngokweqiniso, akekho owamukele ukufika Kwakhe. Esikhundleni salokho ngenkathi bebona ukufika kukaNkulunkulu, ubuso babo obunenjabulo buyaguquka ngokuphazima kweso, kube sengathi kunesiphepho esisheshayo esizayo, sengathi uNkulunkulu uzothatha ukujabula komndeni wabo, sengathi uNkulunkulu akaze asibusise isintu, kodwa ulokhu elethele isintu amashwa. Ngakho-ke, emiqondweni yesintu, uNkulunkulu akayona inhlanhla kubona, kodwa uyilona ohlale ebaqalekisa; ngakho, isintu asimlaleli, asimemukeli, sihlale sibanda kuye, futhi lokhu akukaze kuguquke. Ngoba isintu sinalezi zinto ezinhliziyweni zaso, uNkulunkulu uthi isintu asicabangi futhi asinasimilo, futhi akubonakali kubo ngisho imizwa abantu okufanele ukuthi banayo. Isintu asikhombisi ukucabangela imizwa kaNkulunkulu, kodwa sisebenzisa lokhu okuthiwa “ukulunga” ekubhekaneni noNkulunkulu. Isintu selokhu saba nje iminyaka eminingi futhi ngalesi sizathu uNkulunkulu usethe isimo sabo asikaguquki. Lokhu kukhombisa ukuthi abanangqikithi kunezimpaphe ezimbalwa. Kungashiwo ukuthi bayizihlupheki ezingenamsebenzi ngoba abazazisi bona. Uma bengazithandi kwabona, kodwa bezinyathela bona, ingabe lokhu akukhombisi ukuthi abanamsebenzi walutho? Isintu sinjengowesifazane ongenasimilo odlala imidlalo ngobuyena futhi azinikele kwabanye ukuze anukubezwe. Kodwa, noma kunjalo, basaqhubeka nokungazi ukuthi baphansi kangakanani. Bajabulela ukusebenzela abanye abantu, noma ekukhulumeni nabanye, ukuzibeka ngaphansi kokulawulwa ngabanye abantu; lokhu akukhona ukungcola kwangempela kwesintu? Noma ngingaphilanga impilo phakathi kwesintu, njengoba ngingayiphilanga ngempela impilo yabantu, nginokuqonda okucacile ngakho konke ukunyakaza, sonke isenzo, lonke izwi nazo zonke izenzo zesintu. Ngikwazi ngisho ukuvezela abantu ihlazo labo elijulile, kuze kufike eqophelweni lokuthi bangalingi bakhombise amaqhinga abo futhi bangaphindi bavumele izinkanuko zabo. Njengomnenke ohoshekela egobongweni lawo, abasalingi baveze isimo sabo esibi. Ngenxa yokuthi isintu asizazi, ubuthakathaka baso obukhulu ngukuveza obala amathonya abo phambi kwabanye, bekhombisa ubuso babo obubi; yilokhu uNkulunkulu akwenyanya kakhulu. Ngenxa yokuthi ubudlelwano phakathi kwabantu abubuhle, futhi abukho ubudlelwano bokuphilisana obejwayelekile phakathi kwabantu, ingasaphathwa eyobudlelwane obujwayelekile phakathi kwabo noNkulunkulu. UNkulunkulu usesho okuningi kakhulu, futhi ekwenzeni lokhu, inhloso yakhe ukuthola indawo yokuhlala ezinhliziyweni zesintu, ukwenza abantu basuse zonke izithixo ezinhliziyweni zabo, ukuze uNkulunkulu aphathe amandla phezu kwaso sonke isintu bese efeza inhloso Yakhe yokuba semhlabeni.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 14” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukudalula Ukukhohlakala Kwesintu 1

Okulandelayo: Ukungena Ekuphileni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp