Ukuba Sesimweni Somuntu

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 99)

Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo engenabo ubunkulunkulu, enobuntu obujwayeleke ngokuphelele, owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enomzimba womuntu ojwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, kungukuphila kwakhe kokubili kobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuba kuphela ngemuva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, lapho angaqalisa khona ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, edinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obujwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe kuyikho kokubili okobuntu nobuNkulunkulu obuphelele. Ukuba kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, khona-ke wayengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukuthi “lapho uNkulunkulu eba sesimweni somuntu usuke enobunkulunkulu ngokuphelele, futhi akayena nhlobo umuntu,” kuwukuhlambalaza, ngoba le nkulumo ayikho nhlobo, futhi yephula umgomo wokuba sesimweni somuntu. Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, usaphila ebuNkulunkulwini Bakhe obunomkhakha wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzi womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Umuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu. Ngoba ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abanobuntu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kobuntu, kanti uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobunkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela enobuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ukuthi abantu baqonde imfihlakalo yengqikithi yangempela kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Nangemva kokukhuluma okungaka ngakho, ngilindele ukuba kube yimfihlakalo eningini lenu. Empeleni, le ndaba ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu eba, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 100)

Impilo eyaphilwa uJesu emhlabeni kwakuyimpilo ejwayelekile yenyama. Waphila ebuntwini obujwayelekile benyama Yakhe. Igunya Lakhe—ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu nokukhuluma izwi likaNkulunkulu, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, ukwenza lezo zinto ezingajwayelekile—akuzange kuzibonakalise, isikhathi esiningi, kwaze kwaba yilapho aqala khona inkonzo Yakhe. Impilo Yakhe ngaphambi kweminyaka yobudala engamashumi amabili nesishiyagalolunye, ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe, yayingubufakazi ngokwanele ukuthi wayesesimweni somuntu ejwayelekile nje. Ngenxa yalokhu, nangenxa yokuthi wayengakaqali ukwenza inkonzo Yakhe, abantu ababonanga bunkulunkulu Kuye, ababonanga lutho ngaphandle komuntu ojwayelekile nje, indoda ejwayelekile—njengoba ngaleso sikhathi abantu babekholwa ukuthi wayeyindodana kaJosefa. Abantu babecabanga ukuthi wayeyindodana yomuntu ojwayelekile, babengenayo indlela yokubona ukuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu; ngisho nalapho enza khona inkonzo Yakhe, wenza imimangaliso eminingi, abantu abaningi babesalokhu bethi uyindodana kaJosefa, ngoba wayenguKristu onesimo sangaphandle sobuntu obujwayelekile. Ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe kokubili kwaba khona ukuze kugcwaliseke ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kokuqala, kufakazela ukuthi uNkulunkulu wayefike enyameni ngokuphelele, wayebe ngumuntu ojwayelekile ngempela. Ukuthi wayenobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe kwakungubufakazi bokuthi wayeyinyama ejwayelekile; nokuthi wasebenza emva kwalokho nakho kwabonisa ukuthi wabe eyinyama ejwayelekile, ngoba wenza izibonakaliso nezimangaliso, waphulukisa abagulayo futhi waxosha amadimoni enyameni enobuntu obujwayelekile. Isizathu sokuthi akwazi ukwenza izimangaliso sasiwukuthi inyama Yakhe yayinegunya likaNkulunkulu, kwakuyinyama okwakumbozwe ngayo uMoya kaNkulunkulu. Wayenaleli gunya ngenxa kaMoya kaNkulunkulu, futhi kwakungasho ukuthi wayengeyona inyama. Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi ayedinga ukuba awenze enkonzweni Yakhe, isibonakaliso sobuNkulunkulu Bakhe obufihleke ebuntwini Bakhe, futhi akukhathaleki ukuthi yiziphi izibonakaliso azibonakalisa nokuthi walikhombisa kanjani igunya Lakhe, wayesaphila ebuntwini obujwayelekile futhi wayeseyinyama ejwayelekile. Kuze kufike lapho avuswa khona ngemva kokufa esiphambanweni, wayephila enyameni ejwayelekile. Ukunika umusa, ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni konke kwakuyingxenye yenkonzo Yakhe, kwakungumsebenzi awenza enyameni yomuntu ejwayelekile. Ngaphambi kokuba aye esiphambanweni, akazange ashiye inyama Yakhe yomuntu ejwayelekile, kungakhathaleki ukuthi yini ayeyenza. WayenguNkulunkulu uqobo, enza umsebenzi kaNkulunkulu siqu, kepha ngenxa yokuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, wayedla ukudla, egqoka izingubo, enezidingo zomuntu ezijwayelekile, enokucabanga komuntu okujwayelekile kanye nomqondo womuntu ojwayelekile. Konke lokhu kwakuwubufakazi bokuthi wayengumuntu ojwayelekile, okwakubonisa ukuthi inyama ethathe isimo somuntu kaNkulunkulu kwakuyinyama enobuntu obujwayelekile, hhayi obungaphezu kwamandla emvelo. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuqedela umsebenzi wokuqala kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ukuthi umuntu ojwayelekile, ovamile enze umsebenzi kaNkulunkulu uqobo; okuwukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini futhi ngalokho unqoba uSathane. Ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama; umsebenzi awenza enyameni umsebenzi kaMoya, owenzeka enyameni, oboniswa yinyama. Akekho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu; okuwukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, lobu buntu obujwayelekile—hhayi futhi omunye umuntu—angabonakalisa umsebenzi wobunkulunkulu. Ukuba, ngesikhathi sokuza Kwakhe kokuqala, uNkulunkulu wayengazange abe nobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba abe neminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye—ukuba wakwazi ukwenza izimangaliso lapho ezalwa nje, ukuba wayekwazi ukukhuluma ulimi lwasezulwini lapho efunda ukukhuluma nje, ukuba kwathi zisuka nje lapho enyathela okokuqala emhlabeni wabe ekwazi ukuqonda zonke izinto zomhlaba, ukuqonda ahlukanise yonke imicabango nezinhloso zawo wonke umuntu—umuntu onjalo wayengeke abizwe ngomuntu ojwayelekile, futhi inyama enjalo yayingeke ibizwe ngenyama yomuntu. Ukuba kwakunjalo ngoKristu, ukubaluleka nengqikithi yokuthatha umzimba wenyama kukaNkulunkulu kwakuyolahleka. Ukuthi unobuntu obujwayelekile kubonisa ukuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu; iqiniso lokuthi wedlula ekukhuleni ngendlela ejwayelekile, liqhubeka libonisa ukuthi ngempela uyinyama ejwayelekile; ngaphezu kwalokho, umsebenzi Wakhe uwubufakazi obanele bokuthi unguLizwi kaNkulunkulu, uMoya kaNkulunkulu obe yinyama. UNkulunkulu uba yinyama ngenxa yezidingo zomsebenzi; ngamanye amazwi, lesi sigaba somsebenzi sidinga ukwenziwa enyameni, ukwenziwa ebuntwini obujwayelekile. Yilokhu okudingekayo ngaphambili kokuthi “uLizwi abe yinyama,” kokuthi “uLizwi abonakale esesimweni somuntu,” futhi kuyindaba eyiqiniso mayelana nokuthatha umzimba wenyama okubili kukaNkulunkulu. Abantu bangase bakholwe ukuthi yonke impilo kaJesu yayinezimangaliso, ukuthi kwaze kwaba sekufezeni umsebenzi Wakhe wasemhlabeni engabonisanga ubuntu obujwayelekile, ukuthi akazange abe nezidingo zomuntu ezijwayelekile noma ubuthakathaka noma imizwa yomuntu, wayengazange abe nezidingo zezinto eziyisisekelo zokuphila noma abe nemicabango yomuntu ojwayelekile. Bamcabanga kuphela njengomuntu onengqondo engaphezu kweyomuntu nobuntu obumangalisayo. Bakholwa wukuthi uma nje enguNkulunkulu, akumele acabange futhi aphile njengomuntu ojwayelekile, ukuthi umuntu ojwayelekile kuphela, ongumuntu uqobo, angacabanga imicabango yomuntu ejwayelekile futhi aphile ukuphila okujwayelekile. Konke lokhu yimiqondo yomuntu, nemibono yomuntu ephambana nezinhloso zasekuqaleni zomsebenzi kaNkulunkulu. Ukucabanga komuntu okujwayelekile kusekela ukuqonda komuntu okujwayelekile nobuntu obujwayelekile; ubuntu obujwayelekile, busekela ukusebenza kwenyama okujwayelekile; kanti ukusebenza kwenyama okujwayelekile kwenza ukuba impilo yasesimweni somuntu ejwayelekile isiyonke ukuba ibe khona. Kungokusebenza enyameni enjengalena kuphela lapho uNkulunkulu engafeza injongo Yakhe yokuba sesimweni somuntu. Ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu ube negobolondo langaphandle lenyama kuphela kodwa engacabangi imicabango yomuntu ejwayelekile, ngakho leyo nyama ibingeke ibe nokuqonda komuntu okujwayelekile, ingasaphathwa eyobuntu obuqiniseke ngempela. Kungenzeka kanjani ukuba inyama enjena, engenabo ubuntu, ifeze inkonzo leyo okufanele ifezwe uNkulunkulu osesimweni somuntu? Umqondo ojwayelekile usekela zonke izingxenye zokuphila komuntu; ngaphandle komqondo ojwayelekile, umuntu ubengeke abe ngumuntu. Ngamanye amazwi, umuntu ongacabangi imicabango ejwayelekile ugula ngekhanda. Futhi uKristu ongenabo ubuntu kodwa onobunkulunkulu kuphela ngeke kushiwo ukuthi uyinyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, kungenzeka kanjani ukuba inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingabi nobuntu obujwayelekile? Ngabe akukhona ukuhlambalaza ukuthi uKristu akanabo ubuntu? Zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile zincike ekusebenzeni komqondo womuntu okujwayelekile. Ngaphandle kwakho, abantu bebezoziphatha ngendlela engemukeleki; bebengeke bakwazi ngisho ukuhlukanisa phakathi kokumnyama nokumhlophe, okuhle nokubi; futhi bebengeke babe nenkambo efanele yabantu nezimiso zokuziphatha. Ngokufanayo, uma uNkulunkulu osesimweni somuntu engazange acabange njengomuntu ojwayelekile, wayengeke abe inyama yempela, inyama ejwayelekile, yangempela. Umuntu onjalo osesimweni somuntu ongacabangi ubengeke akwazi ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Ubengeke akwazi ukwenza izinto ezijwayelekile zenyama, kungasaphathwa ukuphilisani kahle nabantu emhlabeni. Ngakho ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu, ingqikithi uqobo yokufika kukaNkulunkulu enyameni, ngabe kulahlekile. Ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu bukhona ukusekela umsebenzi wobuNkulunkulu ojwayelekile enyameni; ukucabanga Kwakhe kobuntu obujwayelekile kugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nayo yonke imisebenzi Yakhe ayenza esemzimbeni. Umuntu angathi ukucabanga Kwakhe komuntu okujwayelekile kukhona ukuze kusekele umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ukube le nyama ibingenawo umqondo womuntu ojwayelekile, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukusebenza esesimweni somuntu, futhi lokho adinga ukukwenza enyameni bekungeke kufezeke. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi ebuntwini obunomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu. Ngakho uNkulunkulu osesimweni somuntu kumele abe nomqondo womuntu ojwayelekile, abe nobuntu obujwayelekile ngoba kumele enze umsebenzi Wakhe ebuntwini enomqondo ojwayelekile. Lokhu yingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingqikithi uqobo kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 101)

Ngaphambi kokuba uJesu enze umsebenzi, wayemane ephila ebuntwini Bakhe obujwayelekile. Akekho owayengasho ukuthi wayenguNkulunkulu, akekho owathola ukuthi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu; abantu babemazi njengendoda ejwayelekile ngokuphelele. Ubuntu Bakhe obuvamile obujwayeleke ngempela kwakuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu wayethathe isimo somuntu nokuthi iNkathi yoMusa kwakuyisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi inkathi yomsebenzi kaMoya. Kwakuwubufakazi bokuthi uMoya kaNkulunkulu wawubonakaliswe ngokuphelele enyameni, ukuthi ngenkathi uNkulunkulu esesimweni somuntu, inyama Yakhe yayizokwenza wonke umsebenzi kaMoya. UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ehlala enyameni enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu. Ngesikhathi sokuthatha Kwakhe isimo somuntu kokuqala, kwakudingeka ukuba uNkulunkulu aphulukise abagulayo futhi axoshe amadimoni ngoba umsebenzi Wakhe kwakungukuhlenga. Ukuze ahlenge isintu sisonke, Yena kwakudingeka ukuba abe nomusa futhi athethelele. Umsebenzi awenza ngaphambi kokuba abethelwe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, okwakubikezela ukusindisa Kwakhe isintu esonweni nasemanyaleni. Ngenxa yokuthi kwakuyiNkathi yoMusa, kwakufanelekile ukuba Yena aphulukise abagulayo, ngaleyo ndlela abonise izibonakaliso nezimangaliso, ezazimele umusa kuleyo nkathi; ngoba iNkathi yoMusa yayigxile ekupheni umusa, okufanekiswa ngokuthula, injabulo, nezibusiso eziphathekayo, konke okuyizimpawu zokholo lwabantu kuJesu. Okuwukuthi, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokupha umusa, kwakungamakhono emvelo, enyama kaJesu eNkathini yoMusa, ayengumsebenzi kaMoya owawubonakala enyameni. Kodwa lapho enza le misebenzi, wayephila enyameni, akazange adlulele ngaleya kwenyama. Akukhathaleki ukuthi iziphi izenzo zokuphulukisa ayezenza, wayelokhu enobuntu obujwayelekile, wayelokhu ephila ukuphila okujwayelekile. Isizathu sokuba ngithi ngenkathi yokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu, inyama yenza yonke imisebenzi kaMoya, ukuthi akukhathaleki ukuthi yimuphi umsebenzi ayewenza, wawenza esesimweni somuntu. Kodwa ngenxa yomsebenzi Wakhe, abantu abazange bathathe inyama Yakhe ngokuthi inengqikithi esemzimbeni ngokuphelele, ngoba le nyama yayenza izimangaliso futhi ngezinye izikhathi ezithile wayenza izinto ezazedlula inyama. Empeleni, zonke lezi zehlo zenzeka ngemva kokuba eseqale inkonzo Yakhe, njengokuvivinywa Kwakhe izinsuku ezingamashumi amane noma ukuguqulwa kwesimo Sakhe entabeni. Ngakho ngoJesu, injongo yokuthi uNkulunkulu athathe umzimba wenyama yayingakafezeki ngokugcwele, kodwa kwafezeka ingxenye yayo. Impilo ayiphila enyameni ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe yayikade ijwayelekile kakhulu, ngazo zonke izindlela. Ngemva kokuba eseqale umsebenzi wagcina ingaphandle lenyama Yakhe kuphela. Ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe wawubonakalisa ubuNkulunkulu, wakwedlula ukusebenza okujwayelekile kwenyama. Vele, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu yayehlukile kubantu begazi nenyama. Empeleni, empilweni Yakhe yansuku zonke, wayekudinga njalo ukudla, okokugqoka, ukulala kanye nendawo yokuhlala njengawo wonke umuntu, wayedinga zonke izidingo zokuphila, ecabanga njengomuntu ojwayelekile. Abantu babesambheka njengomuntu ojwayelekile ngaphandle kokuthi umsebenzi ayewenza wawungaphezu kakhulu kowomuntu. Empeleni, akukhathaleki ukuthi wayenzani, wayephila ebuntwini obuvamile nobujwayelekile futhi maqondana nokwenza Kwakhe umsebenzi, ukucabanga Kwakhe kwakujwayelekile kakhulu, imicabango Yakhe yayicacile kakhulu, ngaphezu kweyabanye abantu abajwayelekile. Kwakubalulekile kuNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba acabange ngale ndlela enengqondo ngoba umsebenzi waphezulu wawudinga ukuvezwa yinyama ukucabanga kwayo okwakuzofana kakhulu nokomuntu ojwayelekile futhi imicabango yayo eyayizoba ecace kakhulu—yingaleyo ndlela kuphela inyama Yakhe eyayizobonisa ngayo umsebenzi wobuNkulunkulu. Kuyo yonke iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye uJesu ayiphila emhlabeni, wabugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kodwa ngenxa yomsebenzi Wakhe ngesikhathi seminyaka emithathu nengxenye asichitha enkonzweni Yakhe, abantu babecabanga ukuthi wayedlulele ngale kobuntu obujwayelekile, okuwukuthi wayenamandla angaphezu kwawemvelo amaningi nakakhulu kunangaphambili. Eqinisweni, ubuntu obujwayelekile bukaJesu abuzange buguquke ngaphambi nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe; ubuntu Bakhe babufana ngaso sonke isikhathi, kodwa ngenxa yomehluko wangesikhathi sangaphambi nesingemva kokuqala Kwakhe inkonzo Yakhe, mibili imibono eyavela mayelana nenyama Yakhe. Ngisho noma abantu babecabangani, uNkulunkulu osesimweni somuntu wagcina ubuyena, ubuntu Bakhe obujwayelekile basekuqaleni ngaso sonke isikhathi ngoba selokhu uNkulunkulu aba sesimweni somuntu, wayephila enyameni, inyama eyayinobuntu obujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi wayenza inkonzo Yakhe noma cha, ubuntu obujwayelekile benyama Yakhe babungeke bususwe ngoba ubuntu buyingqikithi eyisisekelo senyama. Ngaphambi kokuba uJesu enze inkonzo Yakhe, inyama Yakhe yayilokhu ijwayelekile, etholakala kuzo zonke izinto ezenziwa ngabantu; akazange abonakale nakancane emandleni angajwayelekile, futhi akazange enze izimangaliso. Ngaleso sikhathi, wayengumuntu nje ojwayelekile owayekhonza uNkulunkulu, nakuba lokho ayekuphokophele kwakunokuthembeka nobuqotho okudlula wonke umuntu. Lena yindlela ubuntu Bakhe obujwayeleke kakhulu obazibonakalisa ngayo. Ngenxa yokuthi awukho umsebenzi awenza ngaphambi kokuba aqale inkonzo Yakhe, akekho owayemazi ukuthi ungubani, akekho owayengasho ukuthi inyama Yakhe ihlukile kuneyabanye ngoba akenzanga nesisodwa isimangaliso lesi, akenzanga nowodwa umsebenzi kaNkulunkulu. Kodwa, ngemva kokuqala Kwakhe inkonzo Yakhe, wagcina ingaphandle lobuntu Bakhe obujwayelekile futhi wayesaphila ngokucabanga komuntu okujwayelekile kodwa ngenxa yokuthi wayeseqalile ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, wayeseqale inkonzo kaKristu futhi wenza umsebenzi owawungeke wenziwe abantu abafayo, abantu begazi nenyama, abantu babecabanga ukuthi akanabo ubuntu obujwayelekile futhi wayengeyona inyama ejwayelekile kodwa inyama engaphelele. Ngenxa yomsebenzi awenza, abantu babethi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu kodwa ongenabo ubuntu obujwayelekile. Lokhu ukuqonda okuyiphutha, ngoba abantu abazange baqonde ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu. Lokhu kungaqondi kahle kwasuka ekutheni, umsebenzi owaboniswa uNkulunkulu esenyameni wawungowobunkulunkulu, uboniswa enyameni enobuntu obujwayelekile. UNkulunkulu wayembethe inyama, wahlala ngaphakathi kwayo, futhi umsebenzi Wakhe ebuntwini Bakhe wasitha ukujwayeleka kobuntu Bakhe. Ngalesi sizathu abantu bakholwa wukuthi uNkulunkulu wayengenabo ubuntu kodwa wayenobunkulunkulu kuphela.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 102)

UNkulunkulu, ekubeni Kwakhe sesimweni somuntu okokuqala akazange awuqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu; waqeda isigaba sokuqala kuphela leso okwakubalulekile ukuba uNkulunkulu asenze esesimweni somuntu. Ngakho, ukuze aqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubuyele enyameni futhi, ukuphila konke ukujwayeleka nobunjalo benyama, okungukuthi, enza ukuba iZwi likaNkulunkulu lizibonakalise enyameni ejwayelekile futhi evamile ngokuphelele, ngalokho ephetha umsebenzi ayewushiye engawuqedanga esesesimweni somuntu. Inyama yesibili ethathe isimo somuntu ngokwengqikithi isafana neyokuqala, kodwa ingokoqobo ngisho nakakhulu, ijwayeleke nakakhulu kuneyokuqala. Ngenxa yalokho, ubuhlungu uNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu abubekezelelayo bukhulu kakhulu kunobokuqala, kodwa lokhu kuhlupheka kungenxa yenkonzo Yakhe esesimweni somuntu okuhlukile kunokuhlupheka komuntu owonakele. Futhi kuvela ekujwayelekeni neqiniso lenyama Yakhe. Ngenxa yokuthi wenza inkonzo Yakhe emzimbeni ongokoqobo nojwayelekile, inyama kumele ibhekane nokuhlushwa okukhulu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu lapho enza inkonzo Yakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu uvezwa enyameni ejwayeleke kakhulu, engesona nhlobo isimangaliso. Ngenxa yokuthi inyama Yakhe ijwayelekile futhi kumele ithwale umsebenzi wokusindisa abantu, uhlupheka nakakhulu kunenyama enamandla angajwayelekile—konke lokho kuhlupheka kusukela eqinisweni nokujwayeleka kwenyama Yakhe. Kusukela kulokho kuhlupheka le mizimba emibili esesimweni somuntu eyabhekana nakho lapho yenza izinkonzo Zayo, lokhu kwenza kubonakale ukubaluleka kwenyama ethathe isimo somuntu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu okumele akubekezelele njengoba enza umsebenzi, abantu baba nombono omubi nakakhulu kwande nezingozi ezingamehlela. Nokho, lapho inyama iba ngokoqobo nakakhulu, yilapho iba nezidingo kanye nobuntu obujwayelekile nakakhulu, kuba yilapho ikwazi khona ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Kwakuyinyama kaJesu eyabethelwa esiphambanweni, inyama Yakhe le anikela ngayo njengomhlatshelo wesono; kwakungenyama enobuntu obujwayelekile anqoba ngayo uSathane futhi wasindisa umuntu esiphambanweni ngokuphelele. Futhi kulapho eyinyama ephelele lapho uNkulunkulu, ekubeni Kwakhe sesimweni somuntu okwesibili, enza khona umsebenzi wokunqoba futhi ehlule uSathane. Yinyama ejwayelekile futhi engokoqobo ngokuphelele kuphela engenza umsebenzi wokunqoba sewuwonke futhi inikeze ubufakazi obunamandla. Okuwukuthi, ukunqoba umuntu kwenziwa ukuba kuphumelele ngeqiniso nokujwayeleka kukaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngezimangaliso nezambulo ezingaphezu kwamandla emvelo. Inkonzo yalo Nkulunkulu osesimweni somuntu ukukhuluma, futhi ngaleyo ndlela anqobe futhi aphelelise umuntu; ngamanye amazwi, umsebenzi kaMoya owenzeka enyameni, umsebenzi wenyama, ukukhuluma bese ngalokho unqobe, wembule, uphelelise futhi ususe umuntu ngokuphelele. Ngakho, kungomsebenzi wokunqoba lapho umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyofezeka ngokugcwele. Umsebenzi wokuqala wokuhlenga wawungukuqala komsebenzi wokuba sesimweni somuntu; inyama eyenza umsebenzi wokunqoba izoqeda wonke umsebenzi wokuthatha isimo somzimba wenyama. Uma siwuhlukanisa ngokobulili, omunye ungowesilisa kanti omunye ungowesifazane; kulokhu, incazelo yokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu seyiphelele. Le ncazelo iqeda imibono eyiphutha yabantu ngoNkulunkulu: UNkulunkulu angaba yikho kokubili owesilisa nowesifazane, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu eqinisweni akanabo ubulili. Wenza kokubili owesilisa nowesifazane futhi Kuye, akukho kuhlukanisa ngobulili. Kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu akazenzi izibonakaliso nezimangaliso, ukuze umsebenzi uphumelele ngamazwi. Isizathu salokhu, ngaphezu kwalokho, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kulokhu akuwona owokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ungowokunqoba umuntu ngokukhuluma, okusho ukuthi ikhono eyazalwa nalo le nyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, ukukhuluma amazwi nokunqoba umuntu, hhayi ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni. Umsebenzi Wakhe ebuntwini obujwayelekile akukhona ukuba enze izimangaliso, akukhona ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ukukhuluma, ngakho inyama kaNkulunkulu yesibili ibonakala ijwayeleke kakhulu kubantu kuneyokuqala. Abantu bayabona ukuthi ukuba kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuwona amanga; kodwa loNkulunkulu osesimweni somuntu uhlukile kunoJesu osesimweni somuntu nakuba bobabili bengoNkulunkulu abasesimweni somuntu, kodwa abafani ncamashi. UJesu wayenobuntu obujwayelekile, ubuntu obuvamile, kodwa wayelandelwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi. Kulo Nkulunkulu osesimweni somuntu, amehlo abantu angeke abone izimangaliso noma izibonakaliso, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, noma ukuhamba phezu kolwandle, noma ukuzila ukudla izinsuku ezingamashumi amane…. Akenzi umsebenzi ofana nalowo owenziwa uJesu, kungekhona ukuthi inyama Yakhe ihlukile kwekaJesu empeleni, kodwa ngenxa yokuthi akuyona inkonzo Yakhe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Akawudicileli phansi umsebenzi Wakhe noma aphazamise umsebenzi Wakhe. Njengoba enqoba umuntu ngamazwi Akhe angempela, asikho isidingo sokuba amthobise ngezimangaliso ngakho lesi sigaba singesokuqedela umsebenzi wokuba sebuntwini kukaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu ombona namuhla uyinyama ephelele futhi akukho simangaliso esingaqondakali Ngaye. Uyagula njengabanye abantu, udinga ukudla nokokugqoka njengabanye, eyinyama ngokuphelele. Uma ngalesi sikhathi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wayenza izimangaliso nezimangaliso ezingajwayelekile, uma wayephulukisa abagulayo, exosha amadimoni noma abulale nje ngezwi elilodwa, umsebenzi wokunqoba bewungenziwa kanjani? Umsebenzi ungasakazeka kanjani ezizweni zabeZizwe? Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi weNkathi Yomusa, isinyathelo sokuqala emsebenzini wokuhlenga futhi manje njengoba uNkulunkulu esemsindisile umuntu esiphambanweni, akasawenzi lowo msebenzi. Uma ezinsukwini zokugcina “UNkulunkulu” ofana nokubonakala kukaJesu, lowo owaphulukisa abagulayo, waxosha amadimoni futhi owabethelwa ngenxa yomuntu, “lowo Nkulunkulu,” nakuba efana nalowo ochazwa eBhayibhelini futhi kulula kumuntu ukuba amamukele, ubengeke, empeleni abe inyama egqokwe nguMoya kaNkulunkulu, kodwa egqokwe ngumoya omubi. Ngoba kuyisimiso somsebenzi kaNkulunkulu ukungalokothi aphinde lokho asekufezile. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu uhlukile kulowo wokuqala. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba enyameni evamile, ejwayelekile; aphulukise abagulayo, angeke abethelwe ngenxa yabantu kodwa uyakhuluma nje kuphela amazwi esesimweni somuntu, anqobe abantu esesimweni somuntu. Inyama enjalo kuphela ebonakalisa ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu; inyama enjalo kuphela engafeza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 103)

Ngisho noma kulesi sigaba uNkulunkulu osesimweni somuntu ubekezelela ubunzima noma wenza inkonzo Yakhe, wenza kanjalo ukuze aphelelise incazelo yokuba sesimweni somuntu, ngoba lokhu kungokokugcina esesimweni somuntu. UNkulunkulu angaba sesimweni somuntu kabili kuphela. Angeke kwenzeke okwesithathu. Okokuqala ukuthathwa komzimba wobuntu kwakungowesilisa, okwesibili kwakungowesifazane ngakho umfanekiso wenyama kaNkulunkulu uphelele emqondweni womuntu; ngaphezu kwalokho, kokubili ukuthathwa komzimba wobuntu sekuwuqedile kakade umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Kokokuqala uNkulunkulu osesimweni somuntu waba nobuntu obujwayelekile, ukuze aphelelise incazelo yokuba Kwakhe semzimbeni womuntu. Ngalesi sikhathi futhi unobuntu obujwayelekile, kodwa incazelo yokuba Kwakhe enyameni ihlukile: Ijulile, futhi umsebenzi Wakhe ubaluleke nakakhulu. Isizathu sokuba uNkulunkulu aphinde abe yinyama ukuba kupheleliswe incazelo yokuba Kwakhe sesimweni somuntu. Lapho uNkulunkulu esesiphethe ngokuphelele lesi sigaba somsebenzi Wakhe, okuwukuthi, uNkulunkulu esebenza enyameni, uzobe uphelile futhi uzobe ungasekho umsebenzi okumele wenziwe enyameni. Okuwukuthi, kusukela manje kuqhubeka uNkulunkulu ngeke aphinde afike abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi uNkulunkulu wenza ngokuba abe sesimweni somuntu wawungukusindisa nokuphelelisa isintu kuphela. Ngamanye amazwi, akuvamile neze ukuba uNkulunkulu afike abe sesimweni somuntu ngaphandle kokuba ezele umsebenzi. Ngokufika abe sesimweni somuntu ukuze asebenze, ubonisa uSathane ukuthi uNkulunkulu usesimweni somuntu, ungumuntu ojwayelekile, umuntu ovamile—kepha futhi angabusa enqobile phezu komhlaba, angamqeda nya uSathane, ahlenge isintu futhi anqobe isintu! Inhloso yomsebenzi kaSathane ukonakalisa isintu, ibe inhloso kaNkulunkulu kuwukusindisa isintu. USathane ucupha abantu emgodini wakwalasha ongagcwali, ebe uNkulunkulu ebahlenga kuwo. USathane wenza bonke abantu ukuba bamukhonze, ebe uNkulunkulu ebenza babe ngaphansi kombuso Wakhe ngoba uyiNkosi yendalo. Wonke lo msebenzi ufezwa ngokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kabili. Inyama Yakhe eqinisweni ingubunye bobuntu nobuNkulunkulu futhi inobuntu obujwayelekile. Ngakho, ngaphandle kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubengeke aphumelele ekusindiseni isintu, futhi ngaphandle kobuntu obujwayelekile benyama Yakhe, umsebenzi Wakhe enyameni ngabe awuzange uphumelele. Ingqikithi yokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu wukuthi kumele abe nobuntu obujwayelekile; ngoba ukube kwenzeka ngenye indlela bekuyophikisana nenhloso kaNkulunkulu yasekuqaleni yokuba abe sesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 104)

Kungani ngithi incazelo yokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ayipheleliswanga emsebenzini kaJesu? Yingenxa yokuthi uLizwi akabanga yinyama ngokuphelele. Lokho uJesu akwenza kuphela kwakuyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu; Wenza kuphela umsebenzi wokuhlenga futhi akazange awuqede umsebenzi wokuzuza umuntu ngokuphelele. Ngalesi sizathu, uNkulunkulu ube yinyama futhi ngezinsuku zokugcina. Lesi sigaba somsebenzi naso senziwa enyameni ejwayelekile, senziwe umuntu ojwayelekile kakhulu, obuntu bakhe obungababazeki nakancane. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu ube umuntu ophelele, futhi ungumuntu obuntu bakhe bungobukaNkulunkulu, umuntu ophelele, inyama ephelele, owenza umsebenzi. Emehlweni omuntu, uyinyama nje engababazeki nhlobo, umuntu ojwayeleke kakhulu okhuluma ulimi lwasezulwini, ongabonisi zibonakaliso, ongenzi zimangaliso, kungasaphathwa ukuthi adalule iqiniso langempela ngenkolo emahholo amakhulu emihlangano. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wesibili, ubonakala kubantu ungafani kakhulu nokaNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu kangangokuthi kusengathi akukho nokuncane kuyo okufanayo futhi akukho okwenziwa emsebenzini wokuqala okungabonakala kulesi sikhathi. Nakuba umsebenzi wenyama ethathe isimo somuntu yesibili uhlukile kunalowo weyokuqala, lokho akufakazi ukuthi umthombo wabo awuwodwa. Ukuthi umthombo Wabo uyafana yini, kuncike ekutheni uhlobo olunjani lomsebenzi owenziwe ngabantu abangokwenyama hhayi owenziwe yingaphandle Labo. Ngesikhathi sezigaba ezintathu zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu usebe sesimweni somuntu kabili, futhi kuzo zombili izikhathi umsebenzi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu uqala inkathi entsha, wethula umsebenzi omusha; ukuthatha umzimba womuntu kokubili kuyahambisana. Kuyinto engenakwenzeka ukuba amehlo omuntu abone ukuthi yomibili le mizimba empeleni ivela emthonjeni owodwa. Akubuzwa, kungaphezu kokubona komuntu noma ukucabanga komuntu. Kodwa engqikithini Yayo iyafana ngoba imisebenzi Yayo ivela kuMoya ofanayo. Ukuthi yomibili le mizimba ethathe isimo somuntu ivela emthonjeni ofanayo angeke kwahlulelwe ngesikhathi noma indawo ezalelwe kuyo, noma ezinye izinto ezifana nalezo, kodwa ngomsebenzi waphezulu obonakaliswe Yiyo. Umzimba othathe isimo somuntu wesibili awenzi nowodwa umsebenzi owenziwa nguJesu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nalokho okubonakala eningini njengokulungile, kodwa isikhathi ngasinye uvula indlela entsha. Umzimba wesibili awuhlosile ukujulisa noma ukuqinisa umthelela womzimba wokuqala ezingqondweni zabantu, kodwa ukuhambisana nawo nokuwuphelelisa ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lujule kubantu, nokuba ugqashule yonke imithetho esezinhliziyweni zabantu nokususa zonke izithombe eziyinkohliso ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Kungashiwo ukuthi asikho nesisodwa isigaba somsebenzi kaNkulunkulu uqobo esinganikeza umuntu ulwazi oluphelele Ngaye; isigaba ngasinye sinikeza ingxenye, hhayi lonke ulwazi Ngaye. Nakuba uNkulunkulu ezivezile isimo Sakhe ngokuphelele, ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu kunomkhawulo, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu lulokhu lungaphelele. Kuyinto engenakwenzeka, ngokusebenzisa ulimi lwabantu, ukuveza isimo sikaNkulunkulu sisonke; kungasaphathwa ukuthi kuncane kangakanani isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe esingakuveza ngoNkulunkulu ephelele? Usebenza esenyameni embozwe ubuntu Bakhe obujwayelekile, futhi umuntu angamazi kuphela ngezenzo zobunkulunkulu Bakhe kuphela, hhayi ngomzimba Wakhe obonakalayo. UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze avumele ukuba umuntu amazi ngemisebenzi Yakhe ehlukahlukene, futhi asikho isigaba somsebenzi Wakhe esifana nesinye. Yingale ndlela kuphela umuntu angaba khona nolwazi oluphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, hhayi ngokubopheleka engxenyeni eyodwa. Nakuba umsebenzi wemizimba emibili esesimweni somuntu ungafani, ingqikithi yale mizimba, nomthombo womsebenzi Wayo, kuyefana; ukuthi nje ikhona ukuze yenze izigaba ezimbili zomsebenzi ezehlukene futhi ibe sezinkathini ezimbili ezingafani. Akukhathaleki ukuthi kwenzekani, imizimba kaNkulunkulu esesimweni somuntu inengqikithi efanayo nomthombo ofanayo—leli yiqiniso elingenakuphikwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 105)

UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe ubuntu noma ubunkulunkulu Bakhe, kokubili kuthobela intando kaBaba osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. Ngakho-ke, uNkulunkulu osesimweni somuntu angeke awenze umsebenzi ozophazamisa ukuphatha Kwakhe. Yilokhu okumele bonke abantu bakuqonde. Umongo womsebenzi kaMoya oNgcwele ukusindisa abantu ngenxa yokuphatha kukaNkulunkulu. Kanjalo, umsebenzi kaKristu ukusindisa abantu ngenxa yentando kaNkulunkulu. Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe, ngendlela yokuthi inyama Yakhe yanele ukwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uthathelwa indawo umsebenzi kaKristu ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu, kanti futhi umongo wawo wonke umsebenzi ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu ungumsebenzi kaKristu. Awukwazi ukuhlanganyelwa nomsebenzi wangenye inkathi. Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 106)

Ingqikithi kaNkulunkulu uqobo lwayo isebenzisa igunya, kodwa uyakwazi ukuthobela ngokuphelele igunya eliphuma Kuye. Noma ngabe umsebenzi kaMoya noma umsebenzi wenyama, akungqubuzani. Amandla kaMoya kaNkulunkulu anegunya phezu kwendalo yonke. Inyama enengqikithi kaNkulunkulu nayo inegunya, kodwa uNkulunkulu osenyameni angenza wonke umsebenzi olalela intando kaBaba Osezulwini. Lokhu ngeke kutholwe noma kuqondwe umuntu. UNkulunkulu uqobo unamandla, kodwa inyama Yakhe ingathobela igunya Lakhe. Lokhu yincazelo ejulile yamazwi athi: “UKristu uthobela intando kaNkulunkulu uBaba.” UNkulunkulu unguMoya futhi angenza umsebenzi wokusindisa, njengoba uNkulunkulu engaba umuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu uqobo wenza umsebenzi Wakhe; akaphazamisi noma agxambukele, futhi akawenzi umsebenzi ophikisanayo, ngoba ingqikithi yomsebenzi owenziwa uMoya nowenziwa inyama uyafana. Noma ngabe uMoya noma inyama, kokubili kwenzelwe ukugcwalisa intando eyodwa nokuphatha umsebenzi ofanayo. Yize noma uMoya nenyama kunezinto ezingafani, ingqikithi bako buyafana; kokubili kunongqikithi bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kanye nobuNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezici ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane. Noma ngabe umsebenzi unzima kangakanani noma inyama ibuthaka kangakanani, uNkulunkulu, esaphila enyameni, angeke enze okuzophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ingaphathwa eyokushiya intando kaNkulunkulu uBaba ngokungalaleli. Angancamela ukuzwa izinhlungu zenyama kunokuthi aphambane nentando kaNkulunkulu uBaba; kunjengoba uJesu asho emkhulekweni. “Baba, uma kungenzeka, mayidlule le ndebe Kimi; kodwa kungabi ngentando Yami, kodwa kube ngentando Yakho.” Umuntu uyokhetha, kodwa uKristu angeke akhethe. Yize enomfanekiso kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kodwa usafuna ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba, agcwalisele lokhu uNkulunkulu uBaba amethembe ngakho, ngasohlangothini lwenyama. Lokhu into umuntu angeke akwazi ukuyenza. Lokhu okuphuma kuSathane akunangqikithi kaNkulunkulu, kunokungalaleli nokuphikisa uNkulunkulu. Angeke kumlalele ngokuphelele uNkulunkulu, futhi ngeke kuyithobele intando kaNkulunkulu. Bonke abantu ngaphandle kukaKristu bangakwenza lokhu okuphikisa uNkulunkulu, futhi akekho noyedwa ongamukela umsebenzi athenjwe uNkulunkulu ngawo; akekho noyedwa ongakwazi ukubona ukuphatha kukaNkulunkulu njengomsebenzi wabo okumele bawenze. Ukuthobela intando kaNkulunkulu uBaba kuyingqikithi kaKristu; ukungalaleli uNkulunkulu kufana noSathane. Lezi zinto zombili azihambelani, futhi noma ubani onalezi zici zikaSathane angeke abizwe ngoKristu. Isizathu esenza ukuthi umuntu angakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu esikhundleni Sakhe yingoba umuntu akanaso nesisodwa isimo sengqikithi kaNkulunkulu. Umuntu usebenzela uNkulunkulu ngoba efuna ukuzuza okwakhe nekusasa lakhe, kodwa uKristu usebenzela ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 107)

Ubuntu bukaKristu bubuswa ubunkulunkulu Bakhe. Yize noma esenyameni, ubuntu Bakhe abufani ncamashi nalobo bomuntu wenyama. Unesimo Sakhe esihlukile, naso futhi sibuswa ubunkulunkulu Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe abunabuthaka; ubuthaka bukaKristu buchaza lobo obobuntu Bakhe. Ngezinga elithile, lobu buthaka bucindezela ubunkulunkulu Bakhe, kodwa imikhawulo efana nale iphakathi komthamo nesikhathi esithile, futhi ayinamkhawulo. Uma kufika isikhathi sokwenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, wenziwa ngaphandle kokunaka ubuntu Bakhe. Ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe ngokuphelele. Ngaphandle kwempilo Yakhe ejwayelekile yobuntu Bakhe, konke okunye ukwenza kobuntu Bakhe kuthonywa, kuthintwe futhi kuqondiswe ubunkulunkulu Bakhe. Yize uKristu enobuntu, abuwuphazamisi umsebenzi wobunkulunkulu Bakhe. Lokhu kungenxa yokuthi ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe; yize ubuntu Bakhe bungavuthiwe endleleni aziphatha ngayo phambi kwabanye, akuwuthinti umsebenzi ojwayelekile wobunkulunkulu Bakhe. Uma ngithi ubuntu Bakhe abonakaliswanga, ngisho ukuthi ubuntu bukaKristu bungaqondiswa ngqo ubunkulunkulu Bakhe, nokuthi unobuhlakani obuphezulu kunalobo bomuntu ojwayelekile. Ubuntu Bakhe bufanele ukuholwa ubunkulunkulu obusemsebenzini Wakhe; Ubuntu Bakhe bukwazi kakhulu ukuveza umsebenzi wobunkulunkulu, futhi buyakwazi kakhulu ukuthobela umsebenzi ofana nalowo. Njengoba uNkulunkulu esebenza enyameni, akakhohlwa umsebenzi okumele wenziwe umuntu osenyameni; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini ngenhliziyo eneqiniso. Unengqikithi kaNkulunkulu, kanti ubuyena yilobu bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ukuthi nje uze emhlabeni waba umuntu odaliwe, waba nomzimba womuntu odaliwe, futhi manje unobuntu ayengenabo ngaphambilini; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini. Lokhu ukuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi uhlukile kumuntu. Ubuyena bunguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kungokwenyama okwenza ukuthi adumise uNkulunkulu; ngakho-ke, amazwi athi “uKristu udumisa uNkulunkulu ezulwini” awalona iphutha. Akufunayo kumuntu ubuyena; usekufezile konke lokho akucelile kumuntu ngaphambi kokucela lokhu kubo. Angeke afune izinto kubantu ebe Yena engazenzi, ngoba konke lokhu kwenza ubuyena. Ngale kokuthi uwenza kanjani umsebenzi Wakhe, angeke angamlaleli uNkulunkulu. Noma ngabe yini ayicela kubantu, akukho okungaphezu kwalokho umuntu akwazi ukukwenza. Konke akwenzayo ukwenza intando kaNkulunkulu futhi kungenxa yokuphatha Kwakhe. Ubunkulunkulu bukaKristu bungaphezulu kwabo bonke abantu, ngakho-ke unegunya phezu kwezidalwa zonke. Leli gunya lingubunkulunkulu Bakhe, isimo nobuyena bukaNkulunkulu uqobo, okusho ubuyena. Ngalokho, noma ngabe ubuntu Bakhe bujwayeleke kangakanani, kungephikwe ukuthi unobuyena obunguNkulunkulu uqobo Lwakhe; noma ngabe ukuphi uyakhuluma futhi noma kanjani uthobela intando kaNkulunkulu, angeke kuthiwe akayena uNkulunkulu uqobo. Abantu abayizilima nabangenalwazi bahlala bethi ubuntu obujwayelekile bukaKristu buyiphutha. Noma engakuveza kanjani ubunkulunkulu Bakhe, abantu bayahluleka ukuvuma ukuthi unguKristu. Uma uKristu eveza ukulalela nokuthobeka Kwakhe, yilapho abantu abangezona kakhulu izilima bembona njengoKristu. Kukhona nalabo abamkhipha inyumbazane nokwedelela, kodwa babeke “amadoda amakhulu” aneziqu eziphakeme phezu kwetafula ukuba akhonzwe. Ukuphikisa nokungalaleli kwabantu uNkulunkulu kubangelwa ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ophila enyameni ithobela intando kaNkulunkulu, kanjalo nobuntu obujwayelekile bukaKristu; kulapho kukhona umsuka wokuphikisa nokungalaleli uNkulunkulu. Ukuba uKristu ubengenakho ukuzifihla ebuntwini noma engayifuni intando kaNkulunkulu uBaba ngokubona kwabantu abadaliwe, kodwa egcwele ubuntu obukhulu, mhlawumbe ngabe akekho umuntu ongalaleli. Into eyenza ukuthi abantu bafune ukukholwa kuNkulunkulu ongabonakali osezulwini ukuthi uNkulunkulu osezulwini akanabo ubuntu futhi akanakho nokukodwa okufana nokomuntu odaliweyo. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomkhulu kunabo, kodwa banakho ukungamfuni uKristu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 108)

Yize uKristu emhlabeni ekwazi ukusebenza egameni likaNkulunkulu uqobo Lwakhe, akezi ngenhloso yokutshengisa bonke abantu umfanekiso Wakhe esenyameni. Akezelanga ukuthi bonke abantu bambone; uzele ukuthi avumele abantu ukuthi bavume ukuholwa isandla Sakhe, bese bengena enkathini entsha. Umsebenzi wenyama kaKristu ngowomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, okusho ukuthi, ngowomsebenzi kaNkulunkulu enyameni, hhayi ukuvumela abantu ukuthi baqonde ngokugcwele ingqikithi Yakhe yenyama. Noma ngabe usebenza kanjani, akukwedluli lokhu okutholakala enyameni. Noma ngabe usebenza kanjani, ukwenza lokhu esenyameni enobuntu obujwayelekile, futhi akabavezeli ngokugcwele abantu ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi Wakhe enyameni awubi ngaphezulu kwamandla emvelo noma ungalinganiseki njengoba umuntu ecabanga. Yize noma uKristu emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe enyameni futhi ewenza Yena umsebenzi okumele wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, akakuphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona ezulwini, futhi akajahi ukumemezela imisebenzi Yakhe. Kunalokho, uhlala ecashile enyameni Yakhe. Ngaphandle kukaKristu, labo abazibiza ngokungelona iqiniso ngoKristu abanakho lokho anakho Yena. Uma eqhathaniswa nesimo soKristu bamanga abazidlayo nabaziphakamisa, kuyacaca ukuthi unhloboni yenyama uKristu. Ukukhula kwezinga lamanga abayiwo, kwenza laba oKristu bamanga baziveze, kanti futhi kulapho beba namandla okwenza izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu. OKristu bamanga abanaso isimo sikaNkulunkulu; uKristu akangcoliswa nawokuncane nje okungokoKristu bamanga. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze aphelelise umsebenzi wenyama, hhayi ngoba efuna ukuthi abantu bambone. Kunalokho, wenza umsebenzi Wakhe ukuthi kube yiwo oqinisekisa ubuyena, avumele lokhu akuvezayo ukuthi kufakazele ingqikithi Yakhe. Ingqikithi yakhe inesisekelo; ubuyena abubanjiwe yisandla Sakhe; kodwa bubonakaliswa umsebenzi Wakhe nengqikithi Yakhe. Yize enengqikithi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi ekwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, nalapho useyinyama akafani noMoya. Akayena uNkulunkulu onesimo sikaMoya; unguNkulunkulu onomzimba wenyama. Ngalokho-ke, noma engajwayeleka kanjani noma engaba buthaka kanjani, noma ngabe uyifuna kanjani intando kaNkulunkulu uBaba, ubunkulunkulu Bakhe bungebuphikwe. Esimweni somuntu uNkulunkulu ukhona hhayi kuphela ngobuntu obujwayelekile nobuthaka babo; kukhona nokungaphezu okungubuhle nobunkulunkulu Bakhe obungeqondwe, kanjalo nayo yonke imisebenzi Yakhe esenyameni. Ngalokho-ke, kokubili ubuntu nobunkulunkulu bukuKristu empeleni kukhona ngaphakathi kuKristu. Lokhu akulona ize noma akukho ngaphezu kwamandla emvelo. Uze emhlabeni ephokophelele into eyodwa ukwenza umsebenzi Wakhe; kubalulekile ukuthi ube nobuntu obujwayelekile ukuze wenze umsebenzi emhlabeni; ngale kwalokho, noma ngabe makhulu kangakanani amandla obunkulunkulu Bakhe, umsebenzi wakho wokuqala angeke ube namsebenzi. Yize ubuntu Bakhe bubaluleke kakhulu, abuyona ingqikithi Yakhe. Ingqikithi Yakhe ubunkulunkulu; ngakho-ke, uma nje eqala ukwenza inkonzo Yakhe emhlabeni kulapho eqala khona ukuveza ubuyena bobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe benzelwe kuphela ukusimamisa impilo ejwayelekile yenyama Yakhe ukuze ubunkulunkulu Bakhe buzokwenza umsebenzi Wakhe ngokujwayelekile enyameni; ubunkulunkulu obuqondisa wonke umsebenzi Wakhe. Uma ewuqeda umsebenzi Wakhe, uzobe esephelelise inkonzo Yakhe. Umuntu okumele akwazi umsebenzi Wakhe ophelelisiwe, futhi umsebenzi Wakhe ozokwenza ukuthi abantu bamazi. Ngenkathi enza umsebenzi Wakhe, kulapho eveza khona ubunkulunkulu Bakhe, okuyisimo esingangcoliswa ubuntu, noma ubuyena obungcoliswe imicabango nendlela yokuziphatha yomuntu. Uma sifika isikhathi sokuthi inkonzo Yakhe yonke ipheleliswe, uzobe esephelelise waphinde waveza ngokuphelele isimo okumele asiveze. Umsebenzi Wakhe awuyalelwa ngumuntu; ukuveza isimo Sakhe nakho ukwenza ngokukhululeka, akulawulwa yingqondo noma kucatshangwe imicabango, kodwa kuvezwa ngokwendalo. Lokhu angeke kutholwe yinoma ubani. Noma ngabe izimo ezimuhaqile zinzima noma izimo zingavumi, uyakwazi ukuveza isimo Sakhe ngesikhathi esifanele. Lowo onguKristu uveza ubuKristu, kanti labo abangasikho abanaso isimo sikaKristu. Ngalokho-ke, noma bonke bemphikisa noma benemibono Ngaye, akekho ongaphikisa ngokombono wabantu ukuthi isimo esivezwa nguKristu singesikaNkulunkulu. Bonke laba abalandela uKristu ngenhliziyo eneqiniso noma abafuna uNkulunkulu ngenhloso bazovuma ukuthi unguKristu ngenxa yokuvezwa yisimo sobunkulunkulu Bakhe. Angeke bamphike uKristu ngenxa yanoma ikuphi okunye Kwakhe okungahambisani nokucatshangwa umuntu. Yize umuntu enobulima, bonke bayazi ukuthi iyini intando yomuntu nokuthi yikuphi okuvela kuNkulunkulu. Kungukuthi nje abantu abaningi baphikisa ngabomu uKristu ngenxa yezinhloso zabo. Uma kungengenxa yalokhu, akekho umuntu ongaba nesizathu sokuphika ubukhona bukaKristu, ngoba ubunkulunkulu obuvezwa nguKristu bukhona ngempela, futhi umsebenzi Wakhe ungabonwa ngamehlo enyama.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 109)

Umsebenzi nokuvezwa uKristu kuveza ingqikithi Bakhe. Uyakwazi ukuqeda ngenhliziyo eneqiniso konke lokhu athenjwe ngakho. Uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, futhi ngenhliziyo eneqiniso afune intando kaNkulunkulu uBaba. Konke lokhu kuvezwa ingqikithi Yakhe. Kanjalo nokwembuleka kwendalo kuvezwa ingqikithi Yakhe; isizathu sokuthi ukwembuleka Kwakhe kwendalo kubizwe kanjena ukuthi lokhu akuvezayo akukhona okokufanekisa, noma umphumela wokufundiswa umuntu, noma umphumela weminyaka eminingi elungiswa ngumuntu. Akazange akufunde noma azihlobise ngakho; kunalokho, kuyinto engaphathi Kuye. Abantu bangawuphika umsebenzi Wakhe, lokhu akuvezayo, ubuntu Bakhe, kanye nayo yonke impilo yobuntu Bakhe obujwayelekile, kodwa akekho ongaphika ukuthi ukhonza uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso; akekho ongaphika ukuthi uzile ukuzofeza intando kaBaba wasezulwini, akekho futhi ongaphika ubuqotho afuna ngabo uNkulunkulu uBaba. Yize isithombe Sakhe singazithokozisi izinzwa, inkulumo Yakhe ingenawo umoya ongaphezu kokuvamile, nomsebenzi Wakhe unganyakazisi umhlaba noma unyakazise izulu njengoba umuntu ecabanga, ngempela unguKristu, ofeza intando kaBaba osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, othobela ngokugcwele uBaba osezulwini, futhi othoba kuze kube sekufeni. Lokhu kungenxa yokuthi ingqikithi Yakhe yingqikithi kaKristu. Kunzima ukuthi abantu balikholwe leli qiniso kodwa lona likhona impela. Uma inkonzo kaKristu isigcwalisiwe ngokupheleleyo, abantu bazokwazi ukubona emsebenzini Wakhe ukuthi isimo Sakhe nobuyena bumele isimo nobuyena bukaNkulunkulu ezulwini. Ngaleso sikhathi, ukusongwa komsebenzi Wakhe kuzoqinisekisa ukuthi ngempela uyinyama Izwi eliba yiyo, futhi engafani nenyama negazi lomuntu. Isinyathelo ngasinye somsebenzi kaKristu emhlabeni simele okuthile okubalulekile, kodwa umuntu obona umsebenzi uqobo wesinyathelo ngasinye akanakho ukuqonda ukubaluleka komsebenzi Wakhe. Lokhu kunjalo kakhulu ezinyathelweni eziningi zomsebenzi owenziwe uNkulunkulu esesimweni somuntu okwesibili. Abaningi balabo abezwe noma ababone amazwi kaKristu kuphela kodwa abangakaze bambone Yena abanamicabango ngomsebenzi Wakhe; labo abambonile uKristu bawezwa namazwi Akhe, bawubona futhi nomsebenzi Wakhe, bakuthola kunzima ukwamukela umsebenzi Wakhe. Ngabe lokhu kwenziwa ukuthi umfanekiso kanye nobuntu bukaKristu akusikho lokhu okuthandwa abantu? Labo abemukela umsebenzi Wakhe emva kokuthi uKristu esehambile angeke babe nalobu bunzima, ngoba bemukela umsebenzi Wakhe nje kuphela futhi abahlangani nobuntu obujwayelekile bukaKristu. Umuntu akakwazi ukulahla imicabango yakhe ngoNkulunkulu kunalokho uyamhlolisisa; lokhu kungenxa yokuthi umuntu ugxila kuphela emfanekisweni Wakhe bese engakwazi ukubona ingqikithi Yakhe ngokomsebenzi Wakhe namazwi Akhe. Uma umuntu evala amehlo akhe angabuki umfanekiso kaKristu noma agweme ukukhuluma ngobuntu bukaKristu, akhulume kuphela ngobunkulunkulu Bakhe, lowo umsebenzi Wakhe namazwi Akhe angaqondwa ngabantu, ngalokho umcabango womuntu anawo Ngaye uzokwehla, okungathi ngisho nengxenye yobunzima umuntu ahlangabezana nabo bungaxazululeka.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 110)

Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu. Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayisho isiqu; ngaphezu kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu awusoze uhambisane nokuqonda kwabantu. Ingabe ukubonakala kukaJesu ngaphandle akuzange kushayisane nokuqonda kwabantu? Ingabe ukubonakala Kwakhe kwangaphandle nendlela yokugqoka akuzange kuhluleke ukunika abantu izinkomba zokuthi ungubani Yena ngokweqiniso? Ingabe kwakungesona isizathu sokuthi abaFarisi bokuqala bamphikisa uJesu ngenxa yokuthi bebebuka ingaphandle Lakhe, bangawanaka amazwi ayewakhuluma? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu bangakuphindi lokhu okwenzeke emlandweni. Akumele nibe ngabaFarisi besikhathi samanje niphinde nibethele uNkulunkulu esiphambanweni futhi. Kumele niyibhekisise indlela enizokwamukela ngayo uNkulunkulu lapho ebuya, nibe nomqondo ocacile ngokuthi ningaba kanjani ngabantu abathobela iqiniso. Lokhu kungumthwalo wawo wonke umuntu olinde ukubuya kukaJesu ngamafu. Kumele sicikice amehlo ethu kamoya, singabi yizisulu zamazwi angelona iqiniso. Kumele sicabange ngomsebenzi owenziwa uNkulunkulu, futhi sibheke uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu. Ningajabuli kakhulu noma nilibale ukuphupha emini, nibheke usuku uNkulunkulu uJesu azokwehla ngalo ngefu anithathe nina eningakaze nimazi noma nimbone, ningazi nokuthi niyenze kanjani intando Yakhe. Kungcono ukucabanga ngezinto ezizokwenzeka!

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 111)

UNkulunkulu oyinyama uziveza Yena kubantu abambalwa abamlandelayo njengoba ezenzela umsebenzi Wakhe, kodwa hhayi kuzo zonke izidalwa. Waba yinyama kuphela ukuze azofeza isigaba somsebenzi kuphela, hhayi ukuzobonisa abantu umfanekiso Wakhe. Nokho, umsebenzi Wakhe kumele ufezwe nguye uqobo, nokho kubalulekile Kuye ukuba akwenze lokhu esenyameni. Lapho uphethwa lo msebenzi, uyosuka lapha emhlabeni; ngeke ahlale isikhathi eside ebantwini ukuze angavimbeli umsebenzi ozayo. Lokho akuveza ezihlweleni yisimo Sakhe sokulunga kuphela nazo zonke izenzo Zakhe, hhayi isiqu salapho eba yinyama izikhathi ezimbili, ngoba umfanekiso kaNkulunkulu ungabonakala kuphela esimweni Sakhe futhi ungathathelwa isikhundla yisiqu senyama Yakhe. Isiqu senyama Yakhe sibonakaliswe kubantu abambalwa, kuphela labo abamlandelayo njengoba esebenza esenyameni. Yingakho-ke umsebenzi owenziwa manje, wenziwa ekusithekeni. Kunjengoba uJesu azibonakalisa kumaJuda ngenkathi enza umsebenzi Wakhe, futhi akakaze akhonjiswe ngokusobala kwezinye izizwe. Ngakho lapho esephothule umsebenzi Wakhe, ngokushesha wabashiya abantu, akahlalanga; esikhathini esalandela, akazange asibonakalise isiqu Sakhe kumuntu, futhi kunalokho umsebenzi wenziwa ngqo nguMoya oNgcwele. Ngesikhathi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uphela wonke, wahamba emhlabeni ofayo, futhi akasoze enza umsebenzi ofanayo nalowo owawukhona eseyinyama. Umsebenzi olandelayo wona wonke wenziwe nguMoya oNgcwele ngokuqondile. Kulesi sikhathi, umuntu ubengeke asibone kalula isiqu Sakhe esenyameni; akazibonakalisi nhlobo Yena uqobo kubantu futhi uyohlale efihlakele. Kunesikhathi esilinganiselwe umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, okumele wenziwe enkathini ethile, ngesikhathi esithile, esizweni naphakathi kwabantu abathile. Umsebenzi onjalo umelele kuphela umsebenzi wesikhathi sikaNkulunkulu eyinyama futhi uqondene nesikhathi esithile, umele umsebenzi woMoya kaNkulunkulu enkathini eyodwa ethile futhi hhayi wonke umsebenzi Wakhe. Ngakho, isiqu sikaNkulunkulu abe yinyama ngaso ngeke sivezwe kubo bonke abantu. Okukhonjiswa ezihlweleni ukulunga kukaNkulunkulu nesimo Sakhe esiphelele, kunesiqu Sakhe lapho eba yinyama kabili. Akusona isiqu esisodwa esivezwa kumuntu, noma iziqu ezimbili ezihlanganisiwe. Ngakho, kuphoqelekile ukuthi uNkulunkulu osenyameni awushiye umhlaba ekuqedeni umsebenzi adinga ukuwenza, ngoba usuke ezele ukuzokwenza kuphela umsebenzi okumele awenze, hhayi ukuzobonisa abantu isiqu Sakhe. Nakuba ukubaluleka kokuba Kwakhe senyameni sekugcwaliswe nguNkulunkulu eba yinyama kabili, usazoqhubeka nokungazibonakalisi obala kunoma yisiphi isizwe esingakaze simbone. UJesu ngeke aphinde futhi aziveze kumaJuda njengeLanga lokulunga, noma enyuke iNtaba Yeminqumo abonakale kubo bonke abantu; konke okubonwa ngamaJuda ngumfanekiso wakhe ngesikhathi eseJudiya. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi kaJesu esenyameni waphela eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezedlule; ngeke abuyele eJudiya esesiqwini somJuda, ingasaphathwa eyokuziveza esesiqwini somJuda kunoma yiziphi iZizwe, ngoba isiqu sikaJesu eyinyama yisithombe nje somJuda, akusona esendodana yomuntu eyayibonwe nguJohane. Nakuba uJesu wethembisa abalandeli Bakhe ukuthi uyobuya futhi, ngeke avele aziveze esimweni somJuda kwabeZizwe. Kufanele ukuba nazi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uwukuvula inkathi. Lo msebenzi ungoweminyaka embalwa kuphela futhi angeke awufeze wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu. Lokhu kufana nendlela isiqu sikaJesu njengeJuda esingamelela ngayo kuphela isiqu sikaNkulunkulu njengoba wayesebenza eJudiya, lapho wayengenza kuphela umsebenzi wokubethelwa. Ngesikhathi uJesu esenyameni, akazange awenze umsebenzi wokuphetha inkathi noma ukubhubhisa isintu. Ngakho, ngemva kokuba esebethelwe futhi waphetha umsebenzi Wakhe, wenyukela phezulu futhi wazifihla ngokuphelele kubantu. Kusuka ngaleso sikhathi, labo kwabeZizwe ababekholwa ngobuqotho babebona kuphela izithombe Zakhe ababezinameka ezindongeni, hhayi ukubonakaliswa kweNkosi uJesu. Lesi sithombe sidwetshwe ngumuntu nje, asiyiso isiqu uNkulunkulu uqobo asikhombisa umuntu. UNkulunkulu ngeke azibonakalise ezihlweleni esiqwini sangenkathi ebe yinyama kabili. Umsebenzi awenzayo esintwini uwukusivumela ukuba siqonde isimo Sakhe. Konke lokhu kufezwa ngokubonisa umuntu umsebenzi wezinkathi ezahlukahlukene kanye nesimo asenze saziwa nomsebenzi awenzile kunokuba azibonakalise ngoJesu. Lokhu kusho ukuthi, isiqu sikaNkulunkulu asaziswanga abantu ngesiqu senyama, kunalokho ngomsebenzi owenziwe inyama Yakhe, uNkulunkulu wesiqu nesimo; futhi ngomsebenzi Wakhe, isiqu Sakhe siyakhonjiswa nesimo Sakhe senziwe saziwe. Lokhu wukubaluleka komsebenzi afisa ukuwenza esenyameni.

Lapho nje umsebenzi Wakhe esenyameni kabili uphela, uqala ukubonakalisa isimo Sakhe sokulunga kwabeZizwe, evumela izihlwele ukuba zibone isiqu Sakhe. Ufisa ukubonakalisa isimo Sakhe, futhi ngalokhu enze kucace ukuphela kwezinhlobo ezehlukene zesintu, ngalokho ayiphethe ngokuphelele inkathi eyedlule. Umsebenzi Wakhe esenyameni awudluleli ngale kokulindelekile (njengoba nje noJesu asebenza eJudiya kuphela, Nami namuhla ngisebenza phakathi kwenu) ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe esenyameni unemingcele nemikhawulo. Wenza nje umsebenzi wesikhashana esesiqwini somuntu ojwayelekile nenyama evamile, esikhundleni sokuba enze umsebenzi waphakade noma enze umsebenzi wokubonakala kubo bonke abantu beZizwe zonke. Lo msebenzi awenza esenyameni kumele ukuba unemingcele (njengokusebenza kuphela eJudiya noma phakathi kwenu), bese andisa umsebenzi owenziwa phakathi kwale mingcele. Ngokusobala, umsebenzi wokwandisa okunjalo wenziwa nguMoya Wakhe ngokuqondile futhi ngeke ube umsebenzi wenyama Yakhe. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu esenyameni unemingcele futhi awukwazi ukululekela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngakho, ngeke ukwazi ukukufeza. Ngomsebenzi owenziwa enyameni, uMoya Wakhe wenza umsebenzi olandelayo. Ngakho, umsebenzi owenziwa enyameni ungumsebenzi wesiqaliso owenziwa ngaphansi kwemingcele; uMoya Wakhe uyaqhubeka nokwenza lo msebenzi futhi uyawandisa.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 112)

UNkulunkulu uza kulo mhlaba ukuzokwenza umsebenzi wokuhola inkathi kuphela; ukuvula inkathi entsha nokuqeda endala. Akezelanga ukuzophila konke ukuphila komuntu lapha emhlabeni, ukuzozizwela izinjabulo nosizi lokuphila komuntu noma ukuzophelelisa umuntu othile ngesandla Sakhe noma ukuzobukela mathupha umuntu ekhula. Lowo akuwona umsebenzi Wakhe; umsebenzi Wakhe umane nje uwukuletha inkathi entsha, aqede endala. Okuwukuthi, uzoqala inkathi, bese eqeda enye, anqobe uSathane ngokufeza umsebenzi ewumuntu. Njalo lapho enza umsebenzi mathupha, kuba sengathi ubeka unyawo enkundleni yempi. Esenyameni, uqale anqobe umhlaba, ehlule uSathane; athole yonke inkazimulo, ambule umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane ezimbili, enikeza wonke umuntu emhlabeni indlela efanele angayilandela, nokuphila impilo enokuthula nenjabulo. Nokho, uNkulunkulu ngeke ahlale nomuntu emhlabeni isikhathi eside, ngoba uNkulunkulu unguNkulunkulu, akafani nhlobo nomuntu. Ngeke aphile iminyaka ephilwa ngumuntu ojwayelekile, okuwukuthi ngeke ahlale emhlabeni njengomuntu ongeyena ongejwayelekile, ngoba unengxenye encane kakhulu yobuntu obujwayelekile bomuntu ojwayelekile bokwesekela impilo Yakhe yobuntu. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu angawuqala kanjani umndeni, akhulise abantwana emhlabeni? Angeke yini lokho kube yihlazo? Uba nobuntu obejwayelekile ukuze enze umsebenzi ngendlela ejwayelekile, hhayi ukuba abe nomndeni nomsebenzi njengoba umuntu ojwayelekile engenza. Ukucabanga Kwakhe okujwayelekile, umqondo ojwayelekile, ukudla ngendlela ejwayelekile nokugqoka enyameni Yakhe kwanele ukufakazela ukuthi unobuntu obejwayelekile; asikho isidingo sokuba aqale umndeni ukuze abonise ukuthi unobuntu obejwayelekile. Lokhu akunasidingo nhlobo! UNkulunkulu uza emhlabeni, ngokuthi uLizwi uba yinyama; wenzela ukuthi umuntu aliqonde kahle izwi Lakhe futhi alibone izwi Lakhe, okuwukuthi avumele umuntu ukuba abone umsebenzi owenziwa yinyama. Inhloso Yakhe ayikhona ukuba abantu baphathe inyama Yakhe ngendlela ethile kodwa ukuba umuntu alalele kuze kube sekugcineni, okuwukuthi, ukuze alalele wonke amazwi aphuma emlonyeni Wakhe futhi anikezele kuwo wonke umsebenzi awenzayo. Usebenza nje kuphela enyameni, akukhona nje ukuthi ulindele ukuba umuntu aphakamise ubukhulu nobungcwele benyama Yakhe. Umane nje ubonisa umuntu ukuhlakanipha komsebenzi Wakhe negunya analo. Ngakho, ngisho noma enobuntu obumangalisayo, akamemezeli kodwa ugxila kuphela emsebenzini okufanele awenze. Kufanele nazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebe yinyama kodwa engaziqhayisi futhi engafakazi ngobuntu Bakhe obujwayelekile futhi kunalokho emane nje enza umsebenzi afisa ukuwenza. Yingakho ubona kuphela umuntu wobunkulunkulu kuNkulunkulu osenyameni, ngenxa yokuthi akalokothi amemezele ukuba Kwakhe ngumuntu ukuze alingiswe. Kulapho umuntu ehola umuntu lapho ekhuluma khona ngesiqu Sakhe ukuze athole ukuhola ngenxa yokubahlaba umxhwele nokubenza bamkholwe. Ngokuphambene nalokho, uNkulunkulu unqoba abantu ngomsebenzi Wakhe kuphela (okuwumsebenzi ongenakufinyelelwa muntu). Akajabulisi muntu noma enze ukuba abantu bamkhonze, kunalokho wenza ukuba abantu babe nomuzwa wokumhlonipha noma abenze baqonde ukuthi akaqondakali. Asikho isidingo sokuba uNkulunkulu ahlabe abantu umxhwele. Akudingayo nje ukuba umhloniphe lapho usubone isimo Sakhe semvelo. Umsebenzi uNkulunkulu awenzayo ngowakhe; ngeke wenziwe ngumuntu esikhundleni Sakhe, futhi ngeke ufezwe ngumuntu. NguNkulunkulu uqobo kuphela ongenza umsebenzi Wakhe futhi angenise inkathi entsha ukuze aholele umuntu empilweni entsha. Umsebenzi awenzayo ngowokwenza ukuthi umuntu akwazi ukuthola impilo entsha nokungena enkathini entsha. Wonke omunye umsebenzi unikezwa labo bantu abanobuntu obejwayelekile nalabo abakhonzwe ngabanye. Ngakho, eNkathini Yomusa, waqeda umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane ezimbili eminyakeni emithathu nengxenye ngesikhathi seminyaka engamashumi amathathu nantathu esenyameni. Lapho uNkulunkulu oze emhlabeni enza umsebenzi Wakhe, uhlale eqeda umsebenzi wezinkulungwane ezimbili zeminyaka noma inkathi yonke eminyakeni embalwa nje. Akalibali, futhi akami; uvele aqoqele ndawonye umsebenzi weminyaka eminingi ukuze uqedeke eminyakeni embalwa futhi emifushane. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi awenza mathupha wonke ngowokuvula indlela entsha nokuhola inkathi entsha.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 113)

Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, akezeli ukuzokwenza izakhiwo noma izinhlangano; uzela ukuzogcwalisa inkonzo Yakhe. Njalo lapho eba senyameni, kungenxa yokufeza isigaba somsebenzi nokuvula inkathi entsha. Manje yiNkathi Yombuso, futhi umuntu usengene empilweni yombuso. Lesi sigaba somsebenzi asiyiwo umsebenzi womuntu noma owokuphelelisa umuntu ezingeni elithile; ungowokuphelelisa ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi Wakhe akuwona owomuntu futhi nowokwenza umuntu aphelele eqophelweni elithile ngaphambi kokushiya umhlaba; ungowokugcwalisa inkonzo ngokuphelele nokuqeda umsebenzi okumele awenze, okungukwenza izinhlelo ezifanele zomsebenzi Wakhe emhlabeni, ngalokho adunyiswe. Umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni awufani nowalabo abasetshenziswe nguMoya oyiNgcwele. Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe emhlabeni, ukhathazeka kuphela ngokufezeka kwenkonzo Yakhe. Kuzo zonke ezinye izinto ezingahlobene nenkonzo Yakhe, akazifaki nhlobo Yena kuze kube sezingeni lokuthi uyaziziba. Umane nje enze umsebenzi azimisele ukuwenza futhi akakhathazeki nakancane ngomsebenzi umuntu okufanele awenze. Umsebenzi awenzayo yilowo kuphela ohlobene nenkathi akuyo nenkonzo afanele ukuyifeza, ezinye izinto kube sengathi azisona isibopho Sakhe. Akazihluphi ngolwazi oluningi oluyisisekelo lokuphila njengomuntu futhi akafundi ngamakhono okuphila adingekayo noma yikuphi okunye umuntu akuqondayo. Akazihluphi nangakho konke umuntu angaba nakho futhi wenza nje umsebenzi okumele awenze. Ngakho, ngeso lomuntu, uNkulunkulu osenyameni uyantula ezintweni eziningi, ngezinga lokuthi uyazishalazela izinto eziningi umuntu okufanele abe nazo futhi akaziqondi izinto ezinjalo. Izinto ezinjengolwazi oluvamile lwempilo kanye nezimiso zokuziphatha, nokuzihlanganisa nabanye kubonakala kungenakubaluleka kuye. Ngisho noma kuthiwani, awukwazi ngisho nokubona nokuncane ukuziphatha okungejwayelekile kuNkulunkulu osenyameni. Okuwukuthi, ubuntu Bakhe bugcina kuphela ukuphila Kwakhe njengomuntu ovamile nokucabanga okuvamile kwengqondo Yakhe, okumenza akwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Nokho, akukho okunye anakho, konke okungokwabantu bodwa (abantu abadaliwe). UNkulunkulu uba senyameni kuphela ukufeza inkonzo Yakhe. Umsebenzi Wakhe uqondiswa kuyo yonke inkathi hhayi kumuntu noma indawo ethile. Umsebenzi Wakhe uqondiswe kuwo wonke umhlaba. Lokhu kungukuqondisa komsebenzi Wakhe kanye nesimiso asebenza ngaso. Akekho umuntu ongakuguqula lokho, futhi umuntu akanaqhaza kukho. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, uphatha umsebenzi waleyo nkathi, hhayi inhloso yokuhlala nomuntu iminyaka engamashumi amabili, amathathu, amane, ngisho angamashumi ayisikhombisa, ayisihiyagalombili ukuze bakwazi ukumqonda kangcono noma bathole ulwazi ngaye. Asikho isidingo salokho! Ukwenza lokho bekungeke nakancane kujulise ulwazi umuntu analo ngesimo sikaNkulukulu sendabuko; esikhundleni salokho, bekuyokwengeza emicabangweni yabo kwenze imiqondo nemicabango yomuntu ihanjelwe yisikhathi. Ngakho kufanele nonke niqonde ngqo ukuthi uyini umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni. Ngempela aninakwehluleka ukuqonda amazwi engawakhuluma kini athi: “Angizele ukuzophila impilo yomuntu ojwayelekile”? Seniwakhohliwe amazwi athi: “UNkulunkulu uza emhlabeni ukungaphili impilo yomuntu ojwayelekile”? Aniyiqondi inhloso kaNkulunkulu ekubeni yinyama, futhi aniyazi incazelo yokuthi “UNkulunkulu ubengeza kanjani emhlabeni ngenhloso yokuphila impilo yesidalwa”? UNkulunkulu emhlabeni uzele kuphela ukuzophelelisa umsebenzi Wakhe futhi umsebenzi Wakhe emhlabeni uyisikhashana. Akezi lapha emhlabeni ukuze azosizwa nguMoya kaNkulunkulu ukwakha inyama Yakhe ukuba ibe umholi omangalisayo webandla. Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, kuwuLizwi ophenduka inyama; nokho, umuntu, akazi ngomsebenzi Wakhe kanye bese ephoqelela le nhloso Kuye. Kodwa nonke kufanele nibone ukuthi uNkulunkulu ube uwuLizwi ophenduke inyama, hhayi inyama eyenziwe uMoya kaNkulunkulu ukuba imelele indima kaNkulunkulu. UNkulunkulu uqobo akakhiwanga, kunalokho uyiZwi elibe yinyama, futhi namuhla wenza umsebenzi Wakhe ngegunya phakathi kwenu nonke. Nonke niyazi futhi niyavuma ukuthi ukuba senyameni kukaNkulunkulu kuyiqiniso, kodwa nakha ukuqonda empeleni eningenakho. Aniwuboni nonke umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni noma ukubaluleka nengqikithi yokuba yinyama Kwakhe, bese niphinda kalula nje amazwi ashiwo ngabanye abantu. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu osenyameni unjengoba ucabanga?

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 114)

UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze ahole inkathi kanye nokuqala umsebenzi omusha. Kumele niliqonde leli phuzu. Lokhu kuhluke kakhulu emsebenzini womuntu futhi lezi zinto zombili ngeke kukhulunywe ngazo ngesikhathi esisodwa. Umuntu udinga isikhathi eside ukuze akhuliswe futhi apheleliswe ngaphambi kokuba asetshenziselwe ukufeza umsebenzi futhi bukhulu kakhulu ubuntu obudingekayo. Akukhona kuphela ukuthi umuntu kufanele akwazi ukugcina lo mqondo ojwayelekile engqondweni yakhe kodwa kumele aqonde nezimo eziningi kanye nemithetho yokuziphatha phambi kwabanye, futhi ngaphezu kwalokho kumele afunde kakhulu ngokuhlakanipha nemithetho yabantu yokuphila. Yilokho umuntu okumele ahlonyiswe ngakho. Nokho, lokhu akunjalo kuNkulunkulu obe yinyama ngoba umsebenzi Wakhe awumeleli umuntu futhi akuwona owomuntu; kunalokho, uwukubonakalisa ngokuqondile kobuntu Bakhe nokuqalwa komsebenzi okufanele awenze. (Ngokusobala, umsebenzi Wakhe wenziwa uma sekufanele wenziwe hhayi noma nini nangokuthanda. Umsebenzi Wakhe uqalwa uma sekuyisikhathi sokuba kufezwe inkonzo Yakhe.) Akangeneli ezimpilweni zabantu noma enze umsebenzi wabantu, okuwukuthi, ubuntu Bakhe abunakho nokuncane lokhu (kodwa lokhu akuwuphazamisi umsebenzi Wakhe). Ufeza inkonzo Yakhe kuphela uma sekuyisikhathi sokuba enze kanjalo; kunoma yisiphi isiqu Sakhe, uvele aqhubeke nomsebenzi okufanele awenze. Noma yikuphi umuntu akwaziyo Ngaye noma akucabangayo Ngaye, umsebenzi Wakhe awuphazamiseki. Kunjengalapho uJesu ayenza khona umsebenzi Wakhe; akekho owayazi ukuthi wayengubani, kodwa wavele waqhubekela phambili nomsebenzi Wakhe. Akukho kulokho okwamphazamisayo ekwenzeni umsebenzi okwakumele awenze. Ngakho, akaqalanga wavuma noma waveza ukuthi ungubani wavele wenza nje ukuthi umuntu amlandele. Ngokusobala lokhu kwakungekhona ukuthobeka kukaNkulunkulu kuphela; kwakuyindlela uNkulunkulu asebenza ngayo enyameni. Wayengasebenza ngale ndlela kuphela, ngoba umuntu wayengeke akwazi ukumbona ngeso lenyama. Ngisho noma kuthiwa umuntu wayekwazile, wayengeke akwazi ukusiza emsebenzini kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akabanga yinyama ukuze umuntu azi inyama Yakhe; kwakungenxa yokuba enze umsebenzi futhi afeze inkonzo Yakhe. Ngenxa yalesi sizathu, akazange abeke kubaluleka ekubeni ubuyena baziwe. Lapho eseqede wonke umsebenzi ayezimisele ukuwenza, ubunjalo Bakhe bonke nesiqu Sakhe abantu bavele bakuqonda konke bengaphoqwanga muntu. UNkulunkulu oyinyama umane athule angenzi zimemezelo. Akagxilile kumuntu noma ekutheni umuntu umlandela kanjani, uvele aqhubekele phambili ekufezeni inkonzo Yakhe nokuqhubeka nomsebenzi azimisele ukuwenza. Akekho ongavimba umsebenzi Wakhe. Lapho kufika isikhathi sokuba umsebenzi Wakhe uphele, kuphoqelekile ukuba usongwe futhi uqedwe. Akekho onganquma ngenye indlela. Umuntu uyowuqonda kahle umsebenzi Wakhe kuphela lapho esuka kubantu esefeze umsebenzi Wakhe, nakuba uyobe ungakacaci kahle. Futhi kuyothatha isikhathi eside kumuntu ukuba aqonde kahle izinhloso Zakhe ngenkathi eqala umsebenzi Wakhe. Ngamanye amazwi, umsebenzi wenkathi lapho uNkulunkulu eba yinyama uhlukaniswe kabili. Enye ingxenye yenzeka ngomsebenzi nangamazwi kaNkulunkulu uqobo oba yinyama. Lapho umsebenzi wenyama Yakhe usufezekile, enye ingxenye yomsebenzi kumele ifezwe yilabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele; leso yisikhathi sokuba umuntu afeze ingxenye Yakhe, ngoba uNkulunkulu useyivulile vele indlela futhi manje kumele ihanjwe ngumuntu mathupha. Okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama ukuze enze ingxenye yomsebenzi Wakhe futhi umsebenzi uqhutshwa nguMoya oNgcwele kanye nalabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele. Ngakho umuntu kumele awazi umsebenzi omkhulu owenziwe uNkulunkulu obe yinyama kulesi sigaba somsebenzi. Umuntu kumele aqonde kahle ukubaluleka kokuba uNkulunkulu eba yinyama nomsebenzi amele ukuwenza, kunokuba abuze uNkulunkulu lokho okubuzwa kumuntu. Yiphutha elenziwa ngabantu leli, kanye nezinto azikholelwayo futhi nokungalaleli Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 115)

UNkulunkulu uba yinyama, hhayi ngoba enzela ukuba abantu bazi inyama Yakhe noma enzela ukuba abantu bakwazi ukwehlukanisa phakathi kwenyama Yakhe neyomuntu; uNkulunkulu akabi yinyama ukuze aqeqeshe ukuqonda komuntu kokwazi ukwehlukanisa, kuncane kakhulu-ke okwangenhloso yokuthi umuntu adumise inyama kaNkulunkulu ayothola kuyo inkazimulo enkulu. Akukho kulokhu okuyisifiso sasekuqaleni sikaNkulunkulu yokuba yinyama. UNkulunkulu futhi akabi yinyama ukuze alahle umuntu ngecala, ukuze embule ngamabomu umuntu, noma enze izinto zibe nzima kumuntu. Akukho kulokhu okuyisifiso Sakhe sasekuqaleni. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, kusuke kuwumsebenzi ongagwemeki. Kungenxa yomsebenzi Wakhe omkhulu nokuphatha Kwakhe okumangalisayo okwenza ukuba enze kanjalo futhi akuzona izizathu umuntu azicabangayo. UNkulunkulu uza emhlabeni ngoba umsebenzi Wakhe umdinga ukuba enze kanjalo futhi lokhu ukwenza njalo lapho kunesidingo. Akezi emhlabeni ngenhloso yokubheka nje, kodwa ukuze enze umsebenzi amele ukuwenza. Yisiphi esinye isizathu esingamenza aqale umthwalo osinda kangaka azifake ezingozini ezinkulu kangaka ukuze enze lo msebenzi? UNkulunkulu uba yinyama kuphela lapho kumele enze kanjalo futhi lokhu kubaluleke ngendlela engavamile. Uma bekungukuthi usuke efuna ukuvumela abantu ukuba bambone, avule amehlo abo, ubengeke, ngokuqiniseka okukhulu, afike phakathi kwabantu ngendlela engenasisindo kangaka. Uza emhlabeni ngenxa yomsebenzi Wakhe wokuphatha ukuze alawule futhi umsebenzinomsebenzi omkhulu kakhulu futhi ukuze akwazi ukuthola abantu abaningi. Uza ukuze amele inkathi futhi ukuze anqobe uSathane. Ngaphezu kwalokho, uzele ukuzohola sonke isintu ezimpilwenu zaso. Konke lokhu kuthinta ukuphatha Kwakhe futhi kuwumsebenzi othinta wonke umhlaba. Uma uNkulunkulu eba yinyama ukuze nje avumele umuntu ukuba azi inyama Yakhe futhi avule amehlo omuntu, kungani-ke angayi kuzo zonke izizwe? Ingabe lokhu akuyona indlela elula ngokwedlulele? Kodwa akazange enze kanjalo, esikhundleni salokho wakhetha indawo ekahle yokuthi ahlale futhi aqale umsebenzi okumele awenze. Le nyama yodwa nje ibaluleke kakhulu. Umele inkathi yonke, futhi wenza umsebenzi wenkathi yonke; uqeda inkathi endala, angenise entsha. Konke lokhu kuwudaba olubalulekile oluthinta ukuphatha kukaNkulunkulu futhi luwukubaluleka kwesigaba somsebenzi owenziwa uNkulunkulu oze emhlabeni.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 116)

Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova. Kungenzeka kuphela ngokuba abe umuntu odaliwe, okuwukuthi, afake izwi Lakhe enyameni azoba yiyo, Yena angawenza umsebenzi wezwi kulabo abamlandelayo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu engazizwela yena mathupha izwi Lakhe, alibone futhi alamukele, ngakho ngalo uyosindiswa. Ukube uNkulunkulu akabanga yinyama, akekho umuntu obeyothola insindiso enkulu kangako futhi akekho obeyosindiswa. Ukube uMoya kaNkulunkulu usebenze kumuntu ngokuqondile, umuntu ubeyothatheka abe yisithunjwa sikaSathane ngoba akakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu. Ukuba senyameni kokuqala kwakungokokuhlenga isintu esonweni ngomzimba wenyama kaJesu, okuwukuthi, wasindisa umuntu esiphambanweni kodwa isimo sokukhohlakala kukaSathane kwasala kumuntu. Ukuba senyameni kwesibili akuseyikho ukusebenza njengomhlatshelo wesono kodwa ukusindisa ngokugcwele labo ababekhululwe esonweni. Lokhu kwenzelwa ukuba labo abathethelelwe bakhululwe ezonweni zabo futhi bahlanzwe ngokuphelele ukuze bathole ukuguquka esimweni, ngalokho bagqashule ethonyeni lobumnyama bukaSathane babuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyongcweliswa ngokugcwele. UNkulunkulu uqale umsebenzi wensindiso eNkathini Yomusa ngemva kokuphela kweNkathi Yomthetho. UNkulunkulu ngeke aphethe umsebenzi Wakhe wokwahlulela nokusola umuntu ngokuvukela bese engena ekuphumuleni zingakafiki izinsuku zokugcina. Ngakho, ezigabeni ezintathu zomsebenzi, kukabili kuphela lapho uNkulunkulu ebe yinyama khona ukuze azenzele Yena mathupha umsebenzi kubantu. Lokhu kungenxa yokuthi yisigaba esisodwa kuphela ezigabeni ezintathu zomsebenzi esiwukuhola abantu ezimpilweni zabo, ngenkathi lezi ezinye ziwumsebenzi wensindiso. UNkulunkulu angaphila nabantu kuphela lapho eba yinyama futhi akuzwe ukuhlupheka okusemhlabeni, nokuthi aphile enyameni yomuntu ejwayelekile. Kungaleyo ndlela kuphela lapho enganika umuntu oyisidalwa Sakhe izwi elisebenzisekayo alidingayo. Umuntu uthola insindiso egcwele evela kuNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngemithandazo abayithumela ezulwini. Ngoba umuntu uyinyama; akakwazi ukubona uMoya kaNkulunkulu futhi kunzima kakhulu ukuya Kuye. Umuntu angakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu osenyameni; futhi ngaye kuphela angaqonda amazwi kanye namaqiniso futhi athole insindiso ephelele. Ukuba senyameni kwesibili kwanele ukususa izono zomuntu futhi kumcwebise ngokugcwele. Ngakho ukuba senyameni kwesibili kuzophetha wonke umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi kuphelelise ukubaluleka kukaNkulunkulu osenyameni. Ngemva kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni wonke uyophela nya. Ngemva kokuba senyameni okwesibili, ngeke aphinde abe yinyama ngenxa yomsebenzi Wakhe. Ngoba konke ukuphatha Kwakhe kuyobe sekuphelile. Ezinsukwini zokugcina, ukuba senyameni Kwakhe kuyobe sekubazuze ngokugcwele abakhethiweyo Bakhe futhi bonke abantu ezinsukwini zokugcina bayobe sebehlukanisiwe ngokwezinhlobo zabo. Ngeke esawenza umsebenzi wensindiso noma abuyele enyameni ukuze azokwenza noma yimuphi umsebenzi.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 117)

Lokho umuntu akutholile manje—ubunjalo bomuntu namuhla, ulwazi lwabo, uthando, ubuqotho, ukulalela kanye nokubona kwabo—kuyimiphumela etholakala ngokwahlulelwa yizwi. Ukwazi kwenu ukuba qotho nokuhlala nimile kuze kube lolu suku lutholakala ngezwi. Umuntu useyabona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni ungaphezulu kokwejwayelekile. Kuningi umuntu angeke akwazi ukukuthola; kuyizimfihlakalo nezimangaliso. Ngakho, baningi asebezinikele. Abanye abakaze bazinikele kumuntu selokhu bazalwa, kodwa lapho bebona amazwi kaNkulunkulu namuhla, bazinikela ngokugcwele ngaphandle kokuqaphela ukuthi sebenze kanjalo, futhi abanasibindi sokuqala ukucubungula noma ukusho noma yini enye. Umuntu uwile ngaphansi kwezwi kanye nokwahlulela kwezwi. Uma uMoya kaNkulunkulu wawukhuluma kubantu, bonke babeyozinikela ngokugcwele ezwini, baguqe phansi ngaphandle kwamazwi esambulo, njengoba kwenza uPawulu lapho ewela phansi ngenxa yokukhanya endleleni eya eDamaseku. Ukube uNkulunkulu waqhubeka wasebenza ngale ndlela, umuntu wayengeke akwazi ukubona ukonakala kwakhe ngokwahlulela kwezwi futhi athole insindiso. Kungokuba senyameni kuphela lapho engahambisa khona mathupha amazwi Akhe kuzo zonke izindlebe, ukuze bonke abanezindlebe bezwe amazwi futhi bamukele umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngezwi. Inje kuphela imiphumela engatholakala ngezwi Lakhe, kunokuvela koMoya owesabise umuntu umphoqe ukuba azinikele. Kungenzeka kuphela ngomsebenzi owenziwayo osezingeni eliphezulu ukuba isimo esidala somuntu, esifihleke ngaphakathi kuye iminyaka eminingi, sivezwe obala ukuze abantu basibone futhi basiguqule. Lona umsebenzi wangokoqobo owenziwa uNkulunkulu osenyameni; ukhuluma futhi ethule ukwahlulela ngendlela ephathekayo ukuze kuzuzwe imiphumela yokwahlulela kumuntu ngezwi. Leli yigunya likaNkulunkulu osenyameni nokubaluleka kokuba kwakhe senyameni. Kwenziwa ukuze igunya likaNkulunkulu osenyameni, imiphumela etholakale ngomsebenzi wezwi, nokuthi uMoya oze usenyameni kwaziwe; ubonisa igunya Lakhe ngokwahlulela umuntu ngezwi. Nakuba inyama Yakhe iwukubonakala kwangaphandle komuntu ojwayelekile, iwumphumela amazwi Akhe awutholayo obonisa umuntu ukuthi ugcwele igunya, ukuthi unguNkulunkulu uqobo nokuthi amazwi Akhe awukubonakaliswa kukaNkulunkulu uqobo. Lokhu kukhombisa bonke abantu ukuthi unguNkulunkulu uqobo, uNkulunkulu uqobo owaba yinyama, ukuthi akufanele acasulwe yinoma ngubani, nokuthi akekho ongedlula ukwahlulela Kwakhe ngezwi, futhi akukho mandla obumnyama angabusa phezu kwegunya Lakhe. Umuntu uzinikela kuye ngokuphelele ngoba uwuLizwi obe yinyama, ithonya Lakhe, nokwahlulela Kwakhe ngezwi. Umsebenzi owawulethwe yinyama yakhe uyigunya analo. Uba yinyama ngoba inyama ingakwazi nayo ukuba negunya futhi uyakwazi ukwenza umsebenzi kubantu ngendlela engokoqobo, ebonakalayo nethintekayo kumuntu. Umsebenzi onjalo uba ngokoqobo kakhulu ngokwengeziwe kunoma yimuphi umsebenzi owenziwa ngokuqondile nguMoya kaNkulunkulu onegunya lonke futhi imiphumela yawo nayo isobala. Lokhu kungoba inyama Yakhe ingakhuluma futhi yenze umsebenzi ngendlela engokoqobo; isakhiwo sangaphandle senyama Yakhe asinagunya futhi umuntu angafinyelela kuso. Ingqikithi Yakhe inegunya kodwa igunya Lakhe alibonakali kumuntu. Lapho ekhuluma nalapho esebenza, umuntu akakwazi ukubona ukuthi kukhona igunya Lakhe; lokhu kuba kuhle nakakhulu emsebenzini Wakhe ongokoqobo. Futhi yonke imisebenzi enje ingaba nemiphumela. Ngisho kungekho muntu obonayo ukuthi unegunya noma obonayo ukuthi akanakucasulwa noma abone ulaka Lwakhe, ngegunya Lakhe elifihlakele, ulaka nokukhuluma obala, uzuza imiphumela ayihlosile yamazwi Akhe. Ngamanye amazwi, ngesimo sephimbo Lakhe, ukuqina kwenkulumo kanye nokuhlakanipha kwamazwi Akhe umuntu uyakholwa ngokugcwele. Ngaleyo ndlela, umuntu uyazinikela emazwini kaNkulunkulu osenyameni, obonakala engenalo igunya, ngaleyo ndlela afeze inhloso Yakhe yokusindisa umuntu. Lokhu okunye ukubaluleka kokuba Kwakhe senyameni: ukukhuluma ngokwengeziwe ngokoqobo futhi avumele ubuqiniso bamazwi Akhe ukuba bube nomthelela kumuntu ukuze babone amandla ezwi likaNkulunkulu. Ngakho lo msebenzi, uma ungenziwa ngokuba senyameni, ngeke ube ngisho nemincane imiphumela futhi ngeke uzisindise izoni. Uma uNkulunkulu engabi yinyama, uhlala enguMoya ongabonakali futhi ongathinteki kumuntu. Umuntu uyisidalwa esiyinyama futhi umuntu noNkulunkulu bangabasemihlabeni emibili engafani nengafani ngemvelo. UMoya kaNkulunkulu awuhambisani nomuntu wenyama futhi akukho ukuhlobana okungakheka phakathi kwabo; ngaphezu kwalokho, umuntu akakwazi ukuba umoya. Ngaleyo ndlela, uMoya kaNkulunkulu kumele ube ngesinye sezidalwa futhi wenze umsebenzi Wakhe wokuqala. UNkulunkulu angenyukela endaweni ephakeme aphinde azithobe abe umuntu oyisidalwa, enze umsebenzi futhi aphile nabantu, kodwa umuntu akakwazi ukwenyukela ezindaweni eziphezulu abe ngumoya futhi kukancane kakhulu ukuba umuntu ehlele phansi. Ngakho, uNkulunkulu kumele abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Njengokuba senyameni kokuqala, yinyama kaNkulunkulu osenyameni kuphela eyayingahlenga isintu ngokubethelwa Kwakhe, kuyilapho kwakungeke kwenzeke ukuba uMoya kaNkulunkulu ubethelwe njengomnikelo wesono somuntu. UNkulunkulu angaba yinyama ukuze asebenze njengomnikelo wesono soumuntu kodwa umuntu akakwazanga ukunyukela ezulwini ukuyozilandela umnikelo wesono uNkulunkulu ayewulungiselele bona. Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu kumele ahambe kulezi zindawo zombili, ezulwini nasemhlabeni, kunokuba enze ukuba abantu banyukele ezulwini ukuze bathathe insindiso, ngoba umuntu uwile futhi akakwazi ukuya ezulwini, futhi kukancane kakhulu ukuba athole umhlatshelo wesono. Kanjalo, kwakufanele ukuba uJesu eze phakathi kwabantu futhi azenzele mathupha umsebenzi owawungeke ufezwe ngabantu. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, kwakusuke kufanele ngempela ukuba enze kanjalo. Ukube esinye salezi zigaba sasingenziwa nguMoya kaNkulunkulu ngokuqondile, wayengeke abhekane nokwehliswa isithunzi ngokuba senyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 118)

UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane. Lokho kungenxa kanye yokuthi inyama yomuntu yonakalisiwe ukuthi uNkulunkulu wenze umuntu wenyama injongo yomsebenzi Wakhe; ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umuntu uyinjongo yenkohlakalo, wenze umuntu waba iyona kuphela injongo yomsebenzi Wakhe kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe wensindiso. Umuntu uyisidalwa esifayo, uyinyama negazi, futhi uNkulunkulu Nguye Yedwa ongasindisa umuntu. Ngale ndlela, uNkulunkulu kumele abe inyama enakho konke umuntu anakho ukuze umsebenzi Wakhe, ukuze futhi umsebenzi Wakhe ube nemithelela engcono. UNkulunkulu kumele abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe, ngenxa kanye yokuthi umuntu uyinyama, futhi akakwazi ukunqoba isono nokuzehlukanisa nenyama. Nakuba ukwakheka nesiqu sikaNkulunkulu osesimweni somuntu kwehluka kakhulu ekwakhekeni nesiqu somuntu, kodwa ukubukeka kuyefana nokomuntu, unokubukeka komuntu ovamile, futhi uphila ukuphila komuntu ojwayelekile futhi labo abambonayo ngeke babone mehluko kumuntu ojwayelekile. Le ndlela yokubukeka evamile nobuntu obuvamile kwanele Kuye ukuze enze umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini obuvamile. Inyama Yakhe imvumela ukuba enze umsebenzi Wakhe ebuntwini obuvamile, bese imsiza ukuthi enze umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu, futhi ubuntu Bakhe obuvamile, phezu kwalokho, bumsiza ukuba enze umsebenzi wensindiso phakathi kwabantu. Nakuba ubuntu bakhe obujwayelekile bubangele ukudideka okukhulu kubantu, ukudideka okunjalo akuwuphazamisanga kakhulu umthelela ojwayelekile womsebenzi Wakhe kubantu. Ngamafuphi, umsebenzi wenyama Yakhe evamile umzuzisa kakhulu umuntu. Nakuba abantu abaningi bengabamukeli ubuntu Bakhe obuvamile, umsebenzi Wakhe usengathela, futhi le mithelela itholakala ngenxa yobuntu obuvamile. Kulokhu akunakungabaza. Ngomsebenzi Wakhe esesimweni somuntu, umuntu uzuza izinto eziphindwe kashumi noma kaninginingi kunemicabango ekhona phakathi kwabantu ngobuntu bakhe obejwayelekile, futhi yonke le micabango ekugcineni izogwinywa umsebenzi Wakhe. Futhi umthelela umsebenzi Wakhe osuwufezile, okusho ukuthi, ulwazi umuntu analo Ngaye, uyedlula kude imicabango yomuntu Ngaye. Akunakwenzeka ukuba uwubone ngeso lengqondo noma uwulinganise umsebenzi awenza esesimweni somuntu, ngoba inyama Yakhe ayifani neyanoma imuphi umuntu wenyama, nakuba ingxenye engaphandle ifana ncamashi, isiqu asifani. Inyama Yakhe yenza ibe miningi imicabango kubantu mayelana noNkulunkulu, kodwa inyama Yakhe ingenza umuntu athole ulwazi oluningi, futhi inganqoba noma imuphi umuntu onengxenye efanayo yangaphandle. Ngoba akayena nje umuntu kuphela, kodwa unguNkulunkulu onengxenye engaphandle yomuntu, futhi akekho ongazi imfihlakalo noma ongamqonda ngokugcwele. UNkulunkulu ongabonakali futhi ongathinteki uyathandwa futhi wemukelwa yibo bonke. Uma uNkulunkulu nje ewuMoya ongabonwa umuntu, kulula kumuntu ukuba akholwe kuNkulunkulu. Umuntu angayikhulula imicabango yakhe, angakhetha noma yisiphi isithombe asithandayo njengesithombe sikaNkulunkulu ukuze azijabulise futhi azenze athokoze. Ngale ndlela, abantu bangenza noma yini ethandwa kakhulu uNkulunkulu wabo nafisa ukuba bayenze, ngaphandle kokungabaza. Okukhulu nakakhulu, umuntu ukholwa ukuthi akekho oqotho nozinikele kuNkulunkulu okudlula yena, nokuthi bonke abanye bayizinja ezingabezizwe futhi abathembekile kuNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi yilokho okufunwa yilabo abanezinkolelo ezingaqondakali kuNkulunkulu futhi ezisekelwe ezimfundisweni; abakufunayo konke kuthi akufane, kunomehluko nje omncane. Kumane kuwukuthi umfanekiso kaNkulunkulu ezingqondweni zabo uhlukile, kodwa isiqu sabo siyafana.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 119)

Okuwukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu osesimweni somuntu abe inyama, kungenxa yezidingo zomuntu owonakalisiwe. Kungenxa yezidingo zomuntu hhayi ezikaNkulunkulu, futhi konke anikela ngakho nokuhlupheka Kwakhe kungenxa yesintu, akukhona okwenzuzo kaNkulunkulu uqobo. Abukho ubuhle nobubi nemiklomelo kuNkulunkulu; akufanele avune isivuno sesikhathi esizayo, ngaphandle kwalokho ayevele ekweletwa khona. Konke akwenzayo nanikela ngakho ngenxa yesintu akakwenzeli ukuba athole imiklomelo emikhulu kodwa ukwenzela isintu kuphela. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu enyameni ubandakanya ubunzima obuningi obungacabangeki, imiphumela okugcina kuba nayo iyidlula kude leyo yomsebenzi owenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wenyama unobunzima obukhulu, futhi inyama ayinakuba nesiqu esifana nesikaMoya; ngeke ikwazi ukuthwala izenzo ezifana nezoMoya, mancane kakhulu amathuba okuthi ibe negunya elifanayo nelikaMoya. Kodwa ingqikithi yomsebenzi wale nyama enganakekile iyedlula kude eyomsebenzi owenziwe uqondiswa uMoya, nale enyama uqobo iyimpendulo yazo zonke izidingo zomuntu. Kulabo abazosindiswa, umsebenzi kaMoya uphansi kakhulu kunowenyama: Umsebenzi kaMoya ukwazi ukuhlanganisa indawo yonke, zonke izindaba, imifula, amachibi, nezilwandle, kodwa umsebenzi wenyama uthela kahle kuwo wonke umuntu othintane nomuntu wenyama. Okungaphezu kwalokho, inyama kaNkulunkulu esesimweni esithintekayo umuntu angayiqonda futhi ayethembe kangcono, futhi ingajulisa ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, futhi ingashiya kumuntu ukuqonda okubanzi ngezenzo zangempela zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaMoya umbozwe emfihlakalweni, kunzima ngomuntu ofayo ukuthi awuqonde, futhi kunzima nakakhulu kubo ukuthi bawubone, ngakho babambelela emicabangweni engasho lutho. Nokho, umsebenzi wenyama ujwayelekile, futhi usekelwe ezintweni ezingokoqobo, futhi uqukethe ukuhlakanipha okucebile, uyiqiniso elingabonakala ngisho nangeso lenyama lomuntu; umuntu angabubona ngokoqobo ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, asikho isidingo sokuthi asebenzise kakhulu iso lakhe lengqondo. Lokhu ukunemba nokubaluleka kwangempela komsebenzi kaNkulunkulu enyameni. UMoya ungenza kuphela izinto ezingabonakali ngeso lomuntu futhi okunzima kuye ukuthi azibone ngeso lengqondo, isibonelo, ukukhanyiselwa uMoya, ukunyakaza kukaMoya, ukuqondiswa uMoya, kodwa ngokomuntu onengqondo, lokho akunikezi incazelo ecacile. Kuhlinzeka kuphela incazelo enyakazayo, noma ebanzi, futhi ngeke kukhiphe imiyalelo ngamazwi. Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uhluke kakhulu: Unokuqondisa okucacile kwamazwi, unentando ecacile, futhi unemigomo ecacile efunakalayo. Ngakho akudingeki ukuthi umuntu acinge, noma asebenzise iso lakhe lengqondo noma aqagele. Lokhu ukukhanyiswa komsebenzi enyameni, nomehluko wakho omkhulu emsebenzini kaMoya. Umsebenzi kaMoya ulungele isilinganiso esithile kuphela, ngeke uthathe isikhundla somsebenzi wenyama. Umsebenzi wenyama unika umuntu imigomo enemba kakhulu futhi edingekayo nolwazi lwangempela, olunosizo kakhulu kunomsebenzi kaMoya. Umsebenzi oyigugu kakhulu kumuntu owonakele yilona onamazwi anembayo, imigomo ecacile, futhi ongabonakala noma uthinteke. Umsebenzi onengqondo kuphela nokuqondisa okufika ngesikhathi okufaneleka nokuthandwa ngumuntu, okudingwa abantu ovivinyweni lwabo, futhi umsebenzi kuphela wangempela ongasindisa umuntu ekukhohlakaleni nasesimweni sakhe esiphansi. Lokhu kungafezwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu; uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongasindisa umuntu enkohlakalweni nasesimweni sakhe esiphansi sakudala. Nakuba uMoya uyingqikithi yemvelo kaNkulunkulu, umsebenzi ofana nalo ungenziwa kuphela inyama Yakhe. Uma uMoya usebenze wodwa, umsebenzi Wakhe-ke ngeke usebenze ngokunomthelela—leli yiqiniso elimsulwa. Nakuba abantu abaningi sebephenduke izitha zikaNkulunkulu ngenxa yale nyama, lapho uNkulunkulu eqeda umsebenzi Wakhe, labo abamelene Naye ngeke bayeke kuphela ukuba izitha Zakhe, kodwa kuyokwenzeka okuphambene ngokuthi babe ofakazi Bakhe. Bayoba ofakazi abanqotshwe Nguye, ofakazi abafanelekayo Kuye futhi abangehlukaniseki Naye. Wenza ukuba umuntu azi ukubaluleka komsebenzi Wakhe kumuntu esenyameni yomuntu, futhi umuntu kufanele akwazi ukubaluleka kwale nyama enjongweni yokuba khona komuntu, azi indima Yakhe yangempela ekukhuleni kokuphila komuntu, futhi ngaphezu kwalokho, azi ukuthi le nyama iyoba umthombo ophilayo wokuphila umuntu angeke akwazi ukwahlukana nakho. Nakuba inyama kaNkulunkulu ikude kakhulu nokufana nomfanekiso nesikhundla sikaNkulunkulu, futhi kumuntu ibonakala ingafanelani nesikhundla Sakhe sangempela, le nyama, engasivezi ngempela isithombe esicacile sikaNkulunkulu, noma isiqu sangempela sikaNkulunkulu, ingenza umsebenzi uMoya kaNkulunkulu ongeke ukwazi ukuwenza ngokuqondile. Kunjalo ukubaluleka nomsebenzi wangempela wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi yilokhu kubaluleka nokuba nomsebenzi kwakho umuntu angakwazisi futhi angakuvumi. Nakuba bonke abantu bephakamisa uMoya kaNkulunkulu futhi bebukela phansi inyama kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi babuka kanjani futhi bacabangani, ukubaluleka kwangempela nokuba yigugu kwenyama kukudlula kude okoMoya. Empeleni, lokhu kumayelana nesintu esikhohlakele kuphela. Kuwo wonke umuntu ofuna iqiniso futhi olangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu, umsebenzi kaMoya unganika kuphela ukunyakaziseka nesambulo, nomuzwa wokumangala ongachazeki futhi ongacabangeki, futhi nomuzwa wokuthi mkhulu, uphakeme, futhi uyaziseka, kodwa akufikeki kuwo futhi awutholakali nhlobo. Umuntu noMoya kaNkulunkulu bengabukelana kude kuphela, sengathi kunebanga elide phakathi kwabo, futhi abasoze bafana, sengathi umuntu noNkulunkulu bahlukaniswe umngcele ongabonakali. Eqinisweni, lokhu ukulutheka umuntu akunikwe uMoya, okubangelwa ukuthi umuntu noMoya abalona uhlobo olulodwa, futhi uMoya nomuntu abasoze baphila ndawonye emhlabeni owodwa, nokuthi uMoya awunalutho lomuntu. Ngakho umuntu akawudingi uMoya, ngoba uMoya awukwazi ukwenza ngokuqondile umsebenzi odingwa kakhulu umuntu. Umsebenzi wenyama unikeza umuntu imigomo yangempela angayilandela, amazwi acacile, nomuzwa wokuthi ungokoqobo futhi ujwayelekile, uthobekile futhi uvamile. Nakuba umuntu angase amesabe, kubantu abaningi kulula ukuzwana naye: Umuntu angabubona ubuso Bakhe, ezwe izwi Lakhe, futhi akadingeki ukumbukela kude. Le nyama izwakala kusondeleka kuyo, ayikude, akulukhuni ukuyiqonda, kodwa iyabonakala futhi iyathinteka, ngoba le nyama isemhlabeni owodwa nomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 120)

Kubo bonke labo abaphila enyameni, ukuguqula isimo sabo kudinga ukuthi babe nemigomo yokulandelwa, futhi ukwazi uNkulunkulu kudinga ukuba ukufakaza ngezenzo Zakhe zangempela nobuso Bakhe bangempela. Kokubili lokhu kungafezwa ngenyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, futhi kokubili kungafezwa kuphela ngenyama evamile nengokoqobo. Yingakho ukuba sesimweni somuntu kudingekile, futhi yikho okwenza adingwe yiso sonke isintu esikhohlakele. Njengoba abantu kudingeka ukuthi bazi uNkulunkulu, izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali futhi abanamandla angaphezu kwemvelo kumele zixoshwe ezinhliziyweni zabo, futhi njengoba kudingeka ukuba balahle isimo sabo esikhohlakele, kumele bazi kuqala isimo sabo esikhohlakele. Uma umuntu enza kuphela umsebenzi ngenjongo yokuxosha izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali ezinhliziyweni zabantu, ngeke-ke aphumele ukufeza umphumela ocacile. Izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali abasezinhliziyweni zabantu azinakwembulwa, zisuswe noma zixoshwe ngokuphelele ngamazwi kuphela. Ngokwenza kanjalo, ekugcineni kuyoba yinto engenakwenzeka ukukhipha lezi zinto ezijulile kubantu. Ukushintshanisa lezi zinto ezingacacile futhi ezinamandla angaphezu kwemvelo noNkulunkulu ongokoqobo kuphela nesithombe sangempela sikaNkulunkulu, ukwenza abantu ukuba bazazi kancane kancane, okungafeza umphumela ofanele. Umuntu uyabona ukuthi uNkulunkulu ayemfuna ngezinye izikhathi ezedlule akaqondakali futhi unamandla angaphezu kwavamile. Into engazuza lokhu akukhona ukuhola okuqondile kukaMoya, ingasaphathwa eyezimfundiso zomuntu, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. Imicabango yomuntu isala ngemuva lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu esenza umsebenzi Wakhe, ngoba ukuvama nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kungqubuzana nonkulunkulu abangaqondakali nabanamandla angaphezu kwavamile abasezingqondweni zabantu. Umcabango oyiwona womuntu ungembulwa kuphela ngokuthi uqhathaniswe noNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphandle kokumqhathanisa noNkulunkulu osesimweni somuntu, imicabango yomuntu ayisobe yembulwa; ngamanye amazwi, ngaphandle kokuqhathanisa, ukuba ngokoqobo kwezinto ezingaqondakali akusobe kwembulwa. Akekho okwazi ukusebenzisa amazwi ukuze enze lo msebenzi, futhi akekho okwazi ukucacisa lo msebenzi esebenzisa amazwi. NguNkulunkulu kuphela ongenza umsebenzi Wakhe, futhi akekho omunye ongenza lo msebenzi esikhundleni Sakhe. Akunandaba ukuthi ulimi olukhulunywa umuntu lucebe kangakanani, ngeke akwazi ukuveza ukuba ngokoqobo nokuvama kukaNkulunkulu. Umuntu uNkulunkulu angamazi kangcono, futhi ambone ngokucacile, uma uNkulunkulu esebenza Yena mathupha phakathi kwabantu futhi aveze indlela abukeka ngayo nesiqu Sakhe. Lokhu ngeke kufezwe yinoma imuphi umuntu wenyama. Empeleni, uMoya kaNkulunkulu nawo awukwazi ukufeza lokhu. UNkulunkulu angasindisa isintu esonakele ethonyeni likaSathane, kodwa lo msebenzi ngeke ufeze ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu; kunalokho ungafezwa kuphela inyama enoMoya kaNkulunkulu, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Le nyama ingumuntu futhi inguNkulunkulu, inyama enobuntu obuvamile futhi uNkulunkulu ayinike wonke amandla aphezulu. Ngakho, ngisho noma le nyama ingewona uMoya kaNkulunkulu, futhi yehluka kakhulu eMoyeni, isenguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo osindisa isintu, owuMoya futhi oyinyama. Akunandaba ukuthi ubizwa ngani, ekugcineni usenguNkulunkulu osindisa isintu. Ngoba uMoya kaNkulunkulu awubonakali enyameni, futhi umsebenzi wenyama uphinde ube umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu; umehluko kumane kube ukuthi lo msebenzi awenziwa kusetshenziswa isiqu sikaMoya, kodwa kusuke kusetshenziswa isiqu senyama. Umsebenzi odinga ukwenziwa uMoya ngokuqondile awumdingi uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi umsebenzi owenziwe inyama ngeke uqondiswe uMoya, kodwa ungenziwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu. Yilokhu okudingekayo kulo msebenzi, futhi nokudingwa yisintu esikhohlakele. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, sisodwa isigaba esenziwa siqondiswa uMoya, futhi ezinye izigaba ezimbili zaziqondiswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, zingaqondiswa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi weNkathi Yomthetho owenziwa uMoya wawungabandakanyi ukushintsha isimo esikhohlakele somuntu, futhi awuzange udinge noma yiluphi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu. Umsebenzi wenyama kaNkulunkulu eNkathini Yomusa naseNkathini Yombuso, uhlanganisa isimo somuntu esikhohlakele nolwazi lwakhe ngoNkulunkulu, futhi uyingxenye ebalulekile nebucayi yomsebenzi wensindiso. Ngakho, isintu esikhohlakele siyidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi siwudinga kakhulu umsebenzi oqondile kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Isintu sidinga ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu aseluse, aseseke, asiphuzise, asondle, asahlulele futhi asijezise, futhi siwudinga kakhulu umusa nokutakulwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu wenyama kuphela, ongaba ithemba lomuntu, umelusi womuntu, nosizo lwamanje lomuntu, futhi konke lokhu kuyisidingo sikaNkulunkulu osesimweni somuntu namuhla nasezikhathini ezedlule.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 121)

Umuntu wonakaliswe uSathane, futhi uyisidalwa sikaNkulunkulu esiphakeme kunezinye, ngakho umuntu udinga ukusindiswa uNkulunkulu. Injongo yokusindisa kukaNkulunkulu ngumuntu, hhayi uSathane, futhi into okufanele isindiswe inyama yomuntu kanye nomphefumulo wakhe, hhayi udeveli. USathane uyena uNkulunkulu ahlose ukumbhubhisa, umuntu uyinjongo yensindiso kaNkulunkulu, futhi inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, ngakho okusindiswa kuqala kufanele kube inyama yomuntu. Inyama yomuntu yonakaliswe kakhulu, futhi ibe yinto emelene noNkulunkulu, emelana ngisho ngokusobala noNkulunkulu futhi ize iphike ubukhona bukaNkulunkulu. Le nyama eyonakele ayinakulawuleka, futhi ayikho into okunzima ukubhekana nayo noma ukuyiguqula ukwedlula isimo esonakele senyama. USathane ufike aphazamise inyama yomuntu, futhi asebenzise inyama yomuntu ukuze aphazamise umsebenzi kaNkulunkulu kanye nohlelo lukaNkulunkulu, ngaleyo ndlela umuntu agcine esephenduke uSathane, kanye nesitha sikaNkulunkulu. Ukuze umuntu asindiswe, kumele aqale anqotshwe. Kungenxa yalokhu ukuthi uNkulunkulu amukele inselelo bese eba senyameni ukuze enze umsebenzi ahlose ukuwenza futhi alwe impi noSathane. Injongo Yakhe ukusindiswa kwesintu, esonakalisiwe, nokunqotshwa nokubhjiswa kukaSathane, ohlubuka Kuye. Unqoba uSathane ngomsebenzi Wakhe wokunqoba umuntu, abe esindisa isintu esonakele ngaso leso sikhathi. Ngalokho, kuwumsebenzi ofeza izinhloso ezimbili kanyekanye. Usebenza enyameni, akhulume enyameni, futhi enze wonke umsebenzi enyameni ukuze axhumane kangcono nomuntu futhi amnqobe kangcono umuntu. Isikhathi sokugcina uNkulunkulu aba kuso yinyama, umsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina uyophothulwa enyameni. Uyohlukanisa bonke abantu ngokwezinhlobo zabo, asonge wonke lo msebenzi wokuphatha, futhi aqede wonke umsebenzi Wakhe enyameni. Ngemva kokuphela kwawo wonke lo msebenzi Wakhe wasemhlabeni, uyoba ngumnqobi ngokuphelele. Esebenza enyameni, uNkulunkulu uyobe esesinqobe ngokuphelele isintu, futhi esesizuzile isintu. Ingabe lokho akusho yini ukuthi wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uyobe usufike ekugcineni? Lapho uNkulunkulu ephothula umsebenzi Wakhe wokuphatha enyameni, njengoba ehlule uSathane futhi wamnqoba, uSathane ngeke esaba nalo elinye ithuba lokonakalisa isintu. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuqala esesimweni somuntu kwakuwukuhlengwa nokuthethelelwa kwezono zomuntu. Manje sekuwumsebenzi wokunqoba nokuzuza isintu ngokugcwele, ukuze uSathane engabe esaba nayo enye indlela yokwenza umsebenzi wakhe, futhi uyobe esehlulwe ngokuphelele, uNkulunkulu uyobe esenqobe ngokuphelele. Lona umsebenzi wenyama, futhi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu uqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 122)

Umsebenzi wokuqala wezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wenziwa uMoya, hhayi inyama. Umsebenzi wokugcina wezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, wona wenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, awenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wokuhlenga wesigaba esiphakathi nawo wenziwa inyama kaNkulunkulu. Kuwoi wonke umsebenzi wokuphatha, umsebenzi obaluleke kakhulu umsebenzi wokusindisa abantu ethonyeni likaSathane. Umsebenzi ophambili ukunqotshwa okuphelele komuntu okhohlakele, ngaleyo ndlela kubuyiselwe esimweni esiyiso ukuhlonipha kwasekuqaleni uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu onqotshiwe, futhi avunyelwe ukuba aphile ukuphila okujwayelekile, okuwukuthi, ukuphila okujwayelekile kwesidalwa sikaNkulunkulu. Lo msebenzi ubucayi futhi uwumgogodla womsebenzi wokuphatha. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso, isigaba sokuqala somsebenzi weNkathi Yomthetho sasikude nomongo womsebenzi wokuphatha; sasinenswebu encane yomsebenzi wokusindisa, futhi sasingesona isiqalo somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Isigaba sokuqala somsebenzi senziwa uMoya ngokuqondile, ngenxa yokuthi ngaphansi komthetho, umuntu wayazi kuphela ukunamathela emthethweni, wayengenalo iqiniso elengeziwe, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi weNkathi Yomthetho kwakwethukela uhlanganisa izinguquko esimweni somuntu, kuncane kakhulu okwakubandakanyekile emsebenzini wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Ngakho uMoya kaNkulunkulu waqeda lesi sigaba esiphakeme somsebenzi esasingahlanganisi isimo esikhohlakele somuntu. Lesi sigaba somsebenzi sazala ubuhlobo emsebenzini owumgogodla wokuqondisa, futhi asihlanganisi lutho olutheni emsebenzini osemthethweni wensindiso, futhi awudingi ukuba uNkulunkulu abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi owenziwa uMoya awukho obala, futhi awuqondakali, uphinde wesabeke ngokujulile futhi umuntu akakwazi ukusondela kuwo; kunzima ngoMoya ukuba uqondise umsebenzi wensindiso, nokunikeza umuntu ukuphila ngokuqondile. Okufaneleka kakhulu ngomuntu ukuba aguqule umsebenzi kaMoya uvumelane naye, okusho ukuthi, lokho okufaneleka kumuntu ukuthiuNkulunkulu abe umuntu ojwayelekile, ovamile ukuze enze umsebenzi Wakhe. Lokhu kudinga uNkulunkulu osesimweni somuntu ozokwenza umsebenzi kaMoya, futhi kumuntu ayikho indlela efanelekayo yomsebenzi kaNkulunkulu. Phakathi kwalezi zigaba ezintathu, izigaba ezimbili zenziwa inyama, futhi lezi zigaba ezimbili ziwumgogodla womsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa. Ababili abasamuntu bayaphelelisana. Isigaba sokuqala sikaNkulunkulu osesimweni somuntu sabeka isisekelo sesigaba sesibili, futhi kungashiwo ukuthi oNkulunkulu ababili abasamuntu bayaphelelisana, futhi bayavumelana. Lezi zigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa uNkulunkulu ngomzimba Wakhe wenyama ngoba zibaluleke kakhulu emsebenzini kaNkulunkulu wokuphatha. Kungacishe kushiwo ukuthi, ngaphandle komsebenzi woNkulunkulu ababili abasamuntu, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ubuyoma nse futhi umsebenzi wokusindisa isintu uyoba izinkulumo nje ezingasho lutho. Ukubaluleka nokungabaluleki kwalo msebenzi kuncike ezidingweni zabantu, nokuthi sikhohlakele ngezinga elingakanani isintu, nesimo sokungalaleli kukaSathane nokuphazamisa kwaso umsebenzi. Lowo ofanele owulungele umsebenzi uphakanyiswe ngokwesimo somsebenzi owenziwa yisisebenzi, nokubaluleka komsebenzi. Uma kuziwa ekubalulekeni kwalo msebenzi, ekutheni iyiphi indlela okufanele isetshenziswe—umsebenzi owenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, noma owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, noma owenziwa umuntu—umsebenzi oyoqedwa kuqala owenziwa umuntu, futhi, ngenxa yohlobo lomsebenzi, kanye nomsebenzi kaMoya okanye nomsebenzi wenyama, ekugcineni kuyonqunywa ukuthi umsebenzi owenziwa inyama umzuzisa kangcono yini umuntu kunomsebenzi owenziwa uMoya, futhi unezinzuzo eziningi. Lona umcabango uNkulunkulu ngaleso sikhathi anquma ngawo ukuthi umsebenzi wenziwa uMoya noma inyama. Kunokubaluleka nezisekelo ezisesigabeni ngasinye somsebenzi. Aziyona nje imicabango engasekelwe ndawo, futhi azenziwa nje ngokungalandeli mgomo; kunokuhlakanipha okuthile kuzo. Linjalo iqiniso elisemva kwawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu. Ngokukhethekile, kunohlelo oluthe xaxa lukaNkulunkulu emsebenzini onjalo njengoba uNkulunkulu osesimweni somuntu esebenza mathupha Phakathi kwabantu. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nobuyena bonke kuvezwe kuzo zonke izenzo Zakhe, ukucabanga, umqondo ekusebenzeni; lokhu kungubunjalo bukaNkulunkulu obuphathekayo futhi obinohlelo. Le micabango nemicabango ecashile inzima kakhulu ukuba umuntu ayicabange, futhi kunzima kumuntu ukuba ayikholwe, ngaphezu kwalokho, kunzima ukuthi umuntu ayazi. Umsebenzi owenziwe umuntu ungowemigomo evamile, ngokomuntu, okwenelisa kakhulu. Kodwa uma uqhathaniswa nomsebenzi kaNkulunkulu, kuba nomehluko omkhulu; nakuba izenzo zikaNkulunkulu zinkulu futhi umsebenzi kaNkulunkulu usezingeni elikhulu, emva kwawo kunezinhlelo namalungiselelo okuncanyana nokuqonde ngqo umuntu angenakukucabanga. Zonke izigaba zomsebenzi womuntu azisekelwe emgomeni kuphela, kodwa futhi ziphethe izinto eziningi ezingeke zikhulumeke ngolimi lwabantu, futhi lezi izinto ezingabonakali emehlweni omuntu. Kungakhathaleki ukuthi umsebenzi kaMoya noma kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ngamunye uqukethe izinhlelo zomsebenzi Wakhe. Akasebenzi ngokungenasisekelo, futhi akenzi umsebenzi ongabalulekile. Lapho uMoya usebenza ngokuqondile kusuke kungenxa yemigomo Yakhe, futhi lapho eba umuntu (okungukuthi, lapho eguqula ingxenye Yakhe yangaphandle) ukuze asebenze, kusuke kungokwenjongo Yakhe kakhulu. Yini enye engamenza aguqule isiqu Sakhe kalula nje? Yini enye engamenza abe ngumuntu obhekwa njengophansi futhi ohlushwayo?

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 123)

Umsebenzi Wakhe enyameni yiwona obaluleke kakhulu, okuyiwona okuvame ukubhekiswa kuwo uma kukhulunywa ngomsebenzi, futhi Lowo oyosonga lo msebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi uMoya. Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe ayifani yonke ingqikithi yomuntu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. Ngokwenza Kwakhe lo msebenzi mathupha kulo lonke iqembu labantu, uNkulunkulu osenyameni usebenzisa umsebenzi Wakhe ukumela umsebenzi waso sonke isintu, ngemva kwawo oya ngokuya wanda. Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi. UNkulunkulu osesimweni somuntu wanamuhla unguNkulunkulu owahlulela sonke isintu ezinsukwini zokugcina. Le nyama nomsebenzi Wakhe, nezwi kanye naso sonke isimo Sakhe, konke kungokwakhe. Nakuba umthamo womsebenzi wakho unomkhawulo, futhi ungabandakanyi indawo yonke ngokuqondile, ingqikithi yomsebenzi wokwahlulela iwukwahlulelwa ngokuqondile kwaso sonke isintu— hhayi ngenxa yabantu abakhethiweyo baseChina kuphela, noma ngenxa yabantu abambalwa. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu enyameni, nakuba umthamo womsebenzi ungabandakanyi indawo yonke, umela umsebenzi wendawo yonke, futhi ngemva kokuqeda umsebenzi osemthamweni wenyama Yakhe, lo msebenzi uyowusabalalisela ngokushesha endaweni yonke, ngendlela efanayo nalena ivangeli likaJesu elasabalala ngayo endaweni yonke ngemva kokuvuka nokunyukela ezulwini Kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi kungumsebenzi kaMoya noma wenyama, kuwumsebenzi ofezwa ngaphansi komthamo othile, kodwa omela umsebenzi wayo yonke indawo. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubonakala enza umsebenzi Wakhe esebenzisa ukubonakala Kwakhe okusamuntu, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu uyena owahlulela abantu esesihlalweni esimhlophe sobukhosi. Kungakhathaleki ukuthi unguNkulunkulu kaMoya noma wenyama, lowo owenza umsebenzi wokwahlulela unguNkulunkulu owahlulela isintu ngezinsuku zokugcina. Lokhu kuchazwa ngokusekelwa emsebenzini Wakhe, akuchazwa ngendlela abukeka ngayo ngaphandle noma kwezinye izinto eziningi. Nakuba umuntu enemicabango yakhe ngala mazwi, akekho ongaphikisana nokwahlulela kukaNkulunkulu osesimweni somuntu nokunqotshwa kwaso sonke isintu. Kungakhathaleki ukuthi umuntu ucabangani ngakho, amaqiniso ayohlale engamaqiniso. Akekho ongathi “Umsebenzi wenziwa uNkulunkulu, kodwa inyama ayiyena uNkulunkulu.” Umbhedo lowo, ngoba lo msebenzi awunakwenziwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Njengoba lo msebenzi usufeziwe, kulandelwa lo msebenzi, umsebenzi wokwahlulela ngeke usenziwa okwesibili; uNkulunkulu esesimweni somuntu okwesibili usewusonge wonke umsebenzi wokuphatha, kufanele kube nesigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu. Ngoba lowo owahlulelwayo ngumuntu, umuntu wenyama owonakalisiwe, hhayi umoya kaSathane owahlulelwa ngokuqondile, umsebenzi wokwahlulela awenziwa ezweni likaMoya kodwa phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 124)

Akekho ofaneleka ukwedlula uNkulunkulu osesimweni somuntu ukwenza umsebenzi wokwahlulela inyama yomuntu ekhohlakele. Ukuba ukwahlulela kwakwenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, ngabe-ke konke kulungile. Ngaphezu kwalokho, lowo msebenzi ubuyobe ulukhuni ukuthi umuntu awemukele, ngoba uMoya awukwazi ukubhekana ubuso nobuso nomuntu, futhi ngenxa yalokhu, imiphumela ngeke isheshe ivele, futhi umuntu ngeke akwazi ukubona ukungacasuleki kwesimo sikaNkulunkulu ngokucacile. USathane anganqotshwa ngokuphelele kuphela uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlulela ukonakala kwesintu. Ngokufana nomuntu onobuntu obuvamile, uNkulunkulu osenyameni angehlulela ngokuqondile ukungalungi komuntu; lokhu kuwuphawu lobungcwele Bakhe bemvelo, nolokungajwayeleki Kwakhe. UNkulunkulu kuphela ofanelekayo, futhi osesikhundleni sokwahlulela umuntu, ngoba uneqiniso nokulunga, ngakho angakwazi ukwahlulela umuntu. Labo abangenalo iqiniso nokulunga abakufanele ukwahlulela abanye. Ukuba lo msebenzi wawenziwa uMoya kaNkunkulu, bekungeke kube ukunqoba phezu kukaSathane. UMoya ungaphezulu kakhulu kwezidalwa ezifayo, futhi uMoya kaNkulunkulu ngendalo ungcwele, uyayinqoba inyama. Ukuba uMoya wenza lo msebenzi ngokuqondile, ubengeke akwazi ukwahlulela konke ukungalaleli komuntu, futhi ubengeke akwazi ukwambula konke ukungalungi komuntu. Ngoba umsebenzi wokwahlulela wenziwa futhi ngemicabango yomuntu ngoNkulunkulu, futhi umuntu akaze abe nemicabango yoMoya, futhi uMoya akakwazi kangcono ukwambula ukungalungi komuntu kube lukhuni ngokwengeziwe ukuveza kangcono ukungalungi okunjalo. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyisitha sabo bonke labo abangamazi. Ekwahluleleni imicabango yabantu nalabo abamelene Naye, uveza konke ukungalaleli kwesintu. Imiphumela yomsebenzi Wakhe enyameni ibonakala ngokucacile kuneyomsebenzi kaMoya. Ngakho ukwahlulelwa kwaso sonke isintu akwenziwa uMoya ngokuqondile, kodwa kuwumsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu osenyameni angabonwa noma athintwe umuntu, futhi angamnqoba ngokuphelele umuntu. Ebudlelwaneni bakhe noNkulunkulu osesimweni somuntu, umuntu uqhubeka esuka ekuphikiseni aye ekulaleleni, ekushushiseni aye ekwamukeleni, ekucabangeni aye olwazni, ekwaleni aye othandweni. Lena imiphumela yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Umuntu usindiswa kuphela ngenxa yokuvuma ukwahlulelwa, bese eya ngokuya azi uNkulunkulu ngamazwi omlomo Wakhe, anqotshwe Nguye ekumelaneni Naye, futhi athole ukuphila kuye ngokwamukela kwakhe isijeziso. Wonke lo msebenzi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, hhayi umsebenzi kaNkulunkulu onesiqu sikaMoya. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu umsebenzi omkhulu kakhulu, okuwumsebenzi obanzi kakhulu, futhi ingxenye ebaluleke kakhulu ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu yizigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu. Inkohlakalo enkulu yomuntu iyisithiyo esikhulu emsebenzini kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ikakhulu, umsebenzi owenziwa kubantu bezinsuku zokugcina unzima kakhulu, nesimo sinonya, nezinga lomuntu ngamunye liphansi. Kodwa ekupheleni kwalo msebenzi, usazofeza umphumela wawo, ngaphandle kwezici ezimbi; lona ngumthelela womsebenzi wenyama, futhi lo mthelela ukwenza uvume ngokwengezekile kunomsebenzi kaMoya. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kufanele zisongwe enyameni, futhi ziphothulwe uNkulunkulu osesimweni somuntu. Umsebenzi obaluleke kakhulu futhi obucayi kakhulu yilona owenziwa enyameni, futhi insindiso yabantu kufanele ivele kuNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngisho noma sonke isintu besicabanga ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu akahlobene nomuntu, eqinisweni le nyama ithintene nokuphila kwaso sonke isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 125)

Sonke isigaba somsebenzi kaNkulunkulu senzelwe sonke isintu, futhi siqondiswe kuso sonke isintu. Ngisho noma kungumsebenzi Wakhe enyameni, usaqondiswe kuso sonke isintu; unguNkulunkulu waso sonke isintu, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe nokungadaliwe. Nakuba umsebenzi Wakhe enyameni unomthamo onomkhawulo, futhi nomgomo walo msebenzi nawo unomkhawulo, isikhathi ngasinye lapho eba inyama khona ukuze enze umsebenzi Wakhe, ukhetha injongo yomsebenzi wakhe enokumela okuphakeme; akakhethi nje ukusebenza neqembu labantu abangavelele, kunalokho ukhetha ukusebenza neqembu elikwaziyo ukuba abantu abamele umsebenzi Wakhe esenyameni. Leli qembu labantu likhethwe ngenxa yokuthi umthamo womsebenzi Wakhe unomkhawulo, futhi ulungiselelwe ngokukhethekile umsebenzi wenyama Yakhe. Ukukhetha kukaNkulunkulu lezi zinto emsebenzini Wakhe akuyona into engenasisekelo, kodwa ngokomgomo: Inhloso yomsebenzi kumele izuzise umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi kumele imele sonke isintu. Ngokwesibonelo, amaJuda ayekwazi ukumela sonke isintu ngokwamukela ukuhlengwa nguJesu, futhi amaShayina ayakwazi ukumela sonke isintu ngokwamukela ukunqoba kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Kunesisekelo sokumela kwamaJuda sonke isintu, futhi kunesisekelo sokumela kwamaShayina sonke isintu ngokwamukela ukunqoba kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Akukho okwembula ukubaluleka kokuhlengwa ukwedlula umsebenzi wokuhlenga owenziwa phakathi kwamaJuda, futhi akukho okwembula ukuphelela nempumelelo komsebenzi wokunqoba ngokungaphezulu komsebenzi wokunqobaphakathi kwamaShayina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu kubonakala kuphela kubhekiswe eqenjini elincane labantu, kodwa eqinisweni, umsebenzi Wakhe phakathi kwaleli qembu elincane labantu ungowendawo yonke, futhi izwi Lakhe libhekiswe kuso sonke isintu. Ngemva kokuphela komsebenzi wakhe enyameni, labo abamlandelayo bayoqala ukusakaza umsebenzi awenzile phakathi kwabo. Into engcono kakhulu ngomsebenzi Wakhe enyameni ukuthi angashiyela isintu amazwi anembayo nentando Yakhe eqondile kulabo abamlalelayo, ukuze ngemva kwalokho abalandeli Bakhe badlulise ngokunembayo wonke umsebenzi Wakhe wenyama nentando Yakhe kuso sonke isintu kulabo abayemukelayo le ndlela. Umsebenzi kaNkulunkulu wasenyameni kuphela phakathi kwabantu ofeza iqiniso lobukhona nokuhlala phakathi kwabantu kukaNkulunkulu. Yilo msebenzi kuphela ogcwalisa isifiso somuntu sokubona ubuso bukaNkulunkulu, ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzwe izwi loqobo likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uqeda inkathi lapho isintu sabona kuphela umhlane kaJehova, bese uqeda nenkolo yesintu kuNkulunkulu ongaqondakali. Ikakhulu, umsebenzi kaNkulunkulu wokugcina osesimweni somuntu uletha sonke isintu enkathini enokwangempela, enobuqobo, futhi ejabulisayo. Akagcini nje ngokuphothula inkathi yomthetho nemfundiso; okubaluleke nakakhulu, wembula esintwini uNkulunkulu ongowempela, ojwayelekile, olungile futhi ongcwele ovula umsebenzi wohlelo lokuphatha, aveze izimfihlakalo nesiphetho sesintu, owadala isintu futhi oqeda umsebenzi wokuphatha futhi obezifihlile izinkulungwane zeminyaka. Uletha inkathi yezinto ezingaqondakali ekupheleni, uphothula inkathi isintu esifisa ngayo ukubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa singakwazi, uqeda inkathi isintu esikhonza ngayo uSathane, futhi aholele sonke isintu enkathini entsha. Konke lokhu kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu enyameni esikhundleni sikaMoya kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni Yakhe, labo abamlandelayo abasagcini nje ngokufuna nokuphumputha lezo zinto ezibonakala zikhona nezibonakala zingekho futhi bayayeka ukuqagela intando kaNkulunkulu ongaqondakali. Lapho uNkulunkulu esakaza umsebenzi Wakhe esenyameni, labo abamlandelayo kufanele badlulisele umsebenzi awenze esenyameni kuzo zonke izinkolo namahlelo, futhi bazokhuluma wonke amazwi Akhe ezindlebeni zaso sonke isintu. Konke okulalelwe yilabo abezwe ivangeli Lakhe kufanele kube amaqiniso omsebenzi Wakhe, kufanele kube yizinto umuntu azibonile futhi wazizwela zona, kufanele kube amaqiniso hhayi inzwabethi. La maqiniso awubufakazi asabalalisa ngabo umsebenzi Wakhe, futhi angamathuluzi awasebenzisayo ekusakazeni umsebenzi. Ngaphandle kokuba khona kwamaqiniso, ivangeli Lakhe lalingeke lisabalale kuwo wonke amazwe nakuzo zonke izindawo; wayengeke akwazi ukunqoba indawo yonke, wayeyogcina ngokukucabanga engqondweni. Umuntu akakwazi ukuthinta umoya futhi akawuboni, futhi umsebenzi wenyama awukwazi ukushiya ubufakazi noma amaqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi uyohlala ekholwa kuNkulunkulu ongaqondakali ongekho. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi ngeke ezwe amazwi uNkulunkulu awakhulume mathupha. Imicabango yomuntu, vele, iyize, ayinakungena esikhundleni sobuso bukaNkulunkulu bangempela; isimo sikaNkulunkulu semvelo, nomsebenzi Wakhe uqobo ngeke umelwe umuntu. UNkulunkulu ongabonakali osezulwini nomsebenzi Wakhe kungalethwa emhlabeni uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ozenzela mathupha umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Lena indlela enhle kakhulu uNkulunkulu avela ngayo kubantu, abantu abambona ngayo uNkulunkulu futhi bazi ubuso Bakhe, ngeke kufezwe uNkulunkulu ongekho esimweni somuntu. UNkulunkulu lapho esenze umsebenzi Wakhe kulesi sigaba, umsebenzi Wakhe usuvele usube nomphumela omuhle futhi ube impumelelo ephelele. Umsebenzi wamathupha kaNkulunkulu esenyameni usuyiqedile kakade ingxenye engamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye yakho konke ukuphatha Kwakhe. Le nyama yenze kwaba nesiqalo esingcono kuwo wonke umsebenzi Wakhe, futhi iwukufingqwa kwawo wonke komsebenzi Wakhe, isabalalise wonke umsebenzi Wakhe, futhi isimemezele wonke umsebenzi Wakhe, yaphinde yagcwalisa ngokuphelele kuwo wonke lo msebenzi. Ukusuka lapho, ngeke kube nomunye uNkulunkulu osesimweni somuntu ozokwenza isigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngeke kusaba nomunye umsebenzi omangalisayo kaNkulunkulu osesimweni somuntu okwesithathu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 126)

Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu enyameni simela umsebenzi Wakhe wayo yonke inkathi, futhi asimeli inkathi ethile njengomsebenzi womuntu. Ngakho isiphetho somsebenzi Wakhe esesimweni somuntu wokugcina, asisho ukuthi umsebenzi usuphele ngokuphelele, ngoba umsebenzi Wakhe umela yonke inkathi, awumeli inkathi asuke enza ngayo umsebenzi Wakhe kuphela. Kumane kuwukuthi nje uqeda umsebenzi wayo yonke inkathi ngesikhathi esenyameni, ngemva kwalokho usabalele kuzo zonke izindawo. Ngemva kokuba uNkulunkulu osesimweni somuntu efeze inkonzo Yakhe, umsebenzi Wakhe olandelayo uyowunika abalandeli Bakhe. Ngale ndlela, umsebenzi Wakhe wayo yonke inkathi uyoqhubeka ungaphazamiseki. Umsebenzi wayo yonke inkathi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuyothiwa uphelile uma ususabalale kuyo yonke indawo. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uyongenisa inkathi entsha, labo abayoqhubeka nomsebenzi Wakhe bayobe bengabantu abasetshenziswa Nguye. Wonke umsebenzi owenziwa umuntu ungaphansi kwenkonzo yomuntu kuNkulunkulu osesimweni somuntu, awukwazi ukudlula umthamo wawo. Uma uNkulunkulu osesimweni somuntu engezi azokwenza umsebenzi Wakhe, abantu ngeke bakwazi ukuqeda inkathi endala, futhi abakwazi ukungenisa inkathi entsha. Umsebenzi owenziwa umuntu umane uyilokho okungafezwa umuntu futhi awummeli uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongeza aqede umsebenzi okufanele awenze, ngaphandle Kwakhe, akekho omunye ongenza lo msebenzi. Eqinisweni, engikhuluma ngakho kumayelana nomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Lo Nkulunkulu osesimweni somuntu uqale enze isinyathelo somsebenzi esingahambisani nemicabango yomuntu, aphinde enze neminye futhi nayo engahambisani nemicabango yomuntu. Injongo yomsebenzi iwukunqotshwa komuntu. Ohlangothini olulodwa, uNkulunkulu osesimweni somuntu akahambisani nemicabango yomuntu, ngaphezu kokuthi wenza omunye umsebenzi ongahambisani nemicabango yomuntu, ngakho umuntu uba nemicabango engemihle Ngaye. Wenza nje umsebenzi wokunqoba phakathi kwabantu abanemicabango eminingi Ngaye. Kungakhathaleki ukuthi bamphatha kanjani, uma eseyifezile inkonzo Yakhe, bonke abantu bayoba ngaphansi kokubusa Kwakhe. Iqiniso lalo msebenzi akulona elamaShayina kuphela, kodwa umela sonke isintu esizonqoba. Imiphumela efezwe kulaba bantu yandulela ezofezwa kuso sonke isintu, futhi imiphumela yomsebenzi awenza esikhathini esizayo izokwedlula imiphumela kulaba bantu. Umsebenzi kaNkulunkulu enyameni awubandakanyi imikhosi emikhulu, futhi awucashile. Ungowempela futhi ungokoqobo, ungumsebenzi lapho okukodwa uma ukuhlanganisa nokukodwa kwenza okubili. Awucashile kubantu futhi awukhohlisi muntu. Lokho abantu abakubonayo kuyizinto eziwuqobo nezangempela, futhi umuntu uzuza iqiniso langempela nolwazi. Lapho umsebenzi uphela, umuntu uzoba nolwazi olusha Ngaye, futhi labo abamfuna ngobuqotho uNkulunkulu ngeke besaba nemicabango Ngaye. Lo akuwona nje umthelela womsebenzi wakhe emaShayineni, kodwa futhi kumela nomthelela womsebenzi Wakhe ekunqobeni sonke isintu, ngoba ayikho into ezuzisa ngaphezu komsebenzi wokunqoba sonke isintu kunale nyama, nomsebenzi wale nyama, nayo yonke into ekule nyama. Bawusizo emsebenzini wakhe wanamuhla, futhi bayoba usizo kuwo nasesikhathini esizayo. Le nyama izonqoba sonke isintu futhi izozuza sonke isintu. Awukho umsebenzi ongcono kunalo lapho sonke isintu siyobona khona uNkulunkulu, simlalele futhi simazi uNkulunkulu. Umsebenzi owenziwe umuntu umela umthamo onomkhawulo, futhi lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe akakhulumi nomuntu othile, kodwa ukhuluma nesintu sonke, nabo bonke abamukela amazwi Akhe. Isiphetho akhuluma ngaso esabo bonke abantu, akusona nje esomuntu othile. Akekho amphatha ngendlela ekhethekile, futhi akekho ambandlululayo, futhi usebenzela, ukhulumela, sonke isintu. Ngakho lo Nkulunkulu osesimweni somuntu usesihlukanisile sonke isintu ngokwezinhlobo zaso, usesahlulele sonke isintu, futhi usehlele isiphetho esifanele saso sonke isintu. Nakuba uNkulunkulu umsebenzi Wakhe ewenza eChina kuphela, eqinisweni usewuxazululile umsebenzi wendawo yonke. Akakwazi ukulinda kuze kube yilapho umsebenzi Wakhe ususabalale kuso sonke isintu ngaphambi kokuba akhulume amazwi Akhe nezinhlelo isinyathelo ngesinyathelo. Ingabe ngeke kwephuze kakhulu lokho? Manje usekulungele ngokugcwele ukuqeda umsebenzi Wakhe ozayo ngaphambi kwesikhathi. Ngoba Lowo osebenzayo uNkulunkulu esesimweni somuntu, wenza umsebenzi ongenamkhawulo ngomthamo onomkhawulo, ngemva kwalokho uzokwenza umuntu enze umsebenzi Wakhe; lona umgomo womsebenzi Wakhe. Angaphila isikhathi esithile kuphela nomuntu, futhi ngeke ahambe nomuntu kuze kube yilapho umsebenzi wenkathi usuphelile. Kungenxa yokuthi unguNkulunkulu njengoba ebikezela ikusasa ngaphambi kwesikhathi. Ngemva kwalokho, uzohlukanisa sonke isintu ngokohlobo lwabo ngamazwi Akhe, isintu singene emsebenzini wesinyathelo ngesinyathelo ngokwamazwi Akhe. Akekho oyophunyuka, futhi bonke bayozilungiselela ngalokhu. Ngakho esikhathini ezayo inkathi iyoqondiswa ngamazwi Akhe, hhayi uMoya.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 127)

Inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, kanti-ke ayiboni, futhi ilimele kakhulu. Isizathu esibaluleke kakhulu esenza ukuthi uNkulunkulu asebenze enyameni ukuthi inhloso Yakhe ukusindisa abantu, abayinyama, nokuthi uSathane naye usebenzisa abantu ekuphazamiseni umsebenzi kaNkulunkulu. Impi noSathane empeleni ingumsebenzi wokunqoba umuntu, futhi ngesikhathi esifanayo, umuntu uyinto uNkulunkulu afuna ukuyisindisa. Ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ubalulekile. USathane wonakalise inyama yomuntu, umuntu waphenduka umfuziselo kaSathane, futhi waba yinto uNkulunkulu okufanele ayehlule. Ngale ndlela, umsebenzi wokulwa noSathane nokusindisa isintu wenzeka emhlabeni, futhi uNkulunkulu kumele eze emhlabeni ukuze asindise isintu. Lona umsebenzi ongokoqobo kakhulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni, usuke empeleni elwa noSathane enyameni. Lapho esebenza enyameni, usuke enza umsebenzi Wakhe endaweni yomoya, enza wonke umsebenzi Wakhe endaweni yomoya ube owangempela emhlabeni. Onqotshwayo umuntu, ongamlaleli, ohlulwa umfuziselo kaSathane (eqinisweni nalona kusewumuntu), osebutheni Naye, futhi lowo oyosindiswa ekugcineni kusewumuntu. Ngale ndlela, kubaluleke kakhulu Kuye ukuba abe umuntu onengxenye engaphandle yesidalwa, ukuze alwe impi yangempela noSathane, anqobe umuntu, ongamlaleli, futhi onengxenye engaphandle enjengaye, asindise abantu oselinyazwe uSathane. Isitha sakhe umuntu, into alwela ukuyinqoba umuntu, owadalwa Nguye. Ngakho kumele abe umuntu, futhi ngale ndlela, umsebenzi Wakhe uba lula. Uyakwazi ukwehlula uSathane, anqobe isintu, ngaphezu kwalokho, ukwazi ukusindisa isintu. Nakuba le nyama ivamile futhi ingokoqobo, akanayo inyama evamile: Akayona inyama yomuntu kuphela, kodwa uneyomuntu nenobunkulnkulu. Lona ngumehluko wakhe kumuntu, futhi uphawu lwesiqu sikaNkulunkulu. Inyama efana nalena kuphela engenza umsebenzi ahlose ukuwenza, ifeze inkonzo kaNkulunkulu enyameni, iwufeze ngokugcwele umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Ukuba bekungenjalo umsebenzi Wakhe ubuyohlale ungenalutho futhi ubuthakathaka. Ngisho noma uNkulunkulu angalwa futhi anqobe umoya kaSathane, imvelo endala yomuntu owonakele ayinakulungiswa, futhi labo abangamlaleli nabamelana Naye abasoze ngokweqiniso babe sekubuseni Kwakhe, okuwukuthi, akasoze asinqoba isintu, futhi ngeke asizuze sonke isintu. Uma umsebenzi Wakhe emhlabeni ungeke ulungiseke, ngakho ukuphatha Kwakhe ngeke kuphele, futhi sonke isintu asisoze sangena ekuphumuleni. Uma uNkulunkulu engakwazi ukungena ekuphumuleni nezidalwa Zakhe, ngeke ube bikho umphumela womsebenzi wokuphatha, futhi inkazimulo kaNkulunkulu iyonyamalala. Nakuba inyama Yakhe ingenalo igunya, umsebenzi awenzayo ubuyokufeza lokhu. Lokhu ukuqondisa okungenakuvinjwa komsebenzi Wakhe. Kungakhathaleki ukuthi inyama yakhe inalo igunya noma cha, uma nje uNkulunkulu esakwazi ukuzenzela umsebenzi, khona-ke unguNkulunkulu ozimele. Akunandaba ukuthi le nyama ibukeka ivame futhi ijwayeleke kangakanani, angawenza umsebenzi okufanele awenze, ngoba inyama Yakhe inguNkulunkulu ayiyena umuntu nje. Into eyenza le nyama yenze umsebenzi umuntu angeke awenze ukuthi isiqu Sakhe sangaphakathi asifani nesomuntu, futhi okungamenza asindise umuntu ukuthi isiqu Sakhe sihlukile kwesomuntu. Le nyama ibaluleke kakhulu esintwini ngoba ungumuntu, futhi unguNkulunkulu kakhulu, ngoba angenza umsebenzi umuntu ovamile oyinyama angeke akwazi ukuwenza, ngoba angasindisa umuntu okhohlakele, ophila Naye emhlabeni. Nakuba efana nomuntu, uNkulunkulu osesimweni somuntu ubaluleke kunawo wonke umuntu obalulekile esintwini, ngoba angenza umsebenzi ongeke wenziwe uMoya kaNkulunkulu, angedlula uMoya kaNkulunkulu ekwethuleni ubufakazi ngoNkulunkulu uqobo, futhi angasizuza kangcono isintu kunoMoya kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, nakuba inyama ivamile futhi ijwayelekile, umnikelo nokubaluleka kwayo ekubeni khona kwesintu kuyigugu kakhulu, ukubaluleka kwangempela kwale nyama akunakucatshangwa umuntu. Nakuba le nyama ingenakumbhubhisa ngokuqondile uSathane, angasebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze anqobe isintu futhi ehlule uSathane, enze uSathane awuthobele ngokugcwele umbuso Wakhe. Ngenxa kaNkulunkulu osesimweni somuntu, uNkulunkulu engakwazi ukunqoba uSathane asindise isintu. Akambhubhisi ngokuqondile uSathane, kodwa uba inyama ukuze enze umsebenzi wokunqoba isintu, esonakaliswe uSathane. Ngale ndlela, ukwazi kangcono ukwethula ubufakazi Kuye uqobo phakathi kwezidalwa, futhi ukwazi kangcono ukusindisa isintu esonakalisiwe. Ukunqoba uSathane kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuwubufakazi obukhulu, kunamandla okuvumisa, ukwedlula ukubhujiswa ngokuqondile kukaSathane nguMoya kaNkulunkulu. UNkulunkulu osenyameni ukulungele kangcono ukusiza abantu ukuthi bazi uMdali, futhi ukulungele kangcono ukwethula ubufakazi Ngaye uqobo phakathi kwezidalwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 128)

UNkulunkulu uze emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi wakhe phakathi kwabantu, ukuziveza yena mathupha kubantu kanye nokuvumela umuntu ukumbona; yinto encane lena? Kukhulu impela! Akunjengoba umuntu ecabanga nje engqondweni yakhe ukuthi uNkulunkulu ufike ukuze umuntu ambuke nje, ukuze umuntu aqonde ukuthi uNkulunkulu ukhona ngokoqobo futhi akuve kuwukuthi akaqondakali noma uyize, nokuthi uNkulunkulu uphakeme kodwa uthobekile. Kungenzeka ukuthi kulula kangako nje? Yingoba impela uSathane wonakalisile inyama yomuntu, nokuthi umuntu nguye uNkulunkulu ahlose ukumsindisa, yingakho uNkulunkulu kufanele athathe isimo senyama ukuze alwe noSathane nokuthi eluse umuntu yena ngokwakhe. Yilokhu kuphela okuwusizo emsebenzini wakhe. Imizimba yenyama emibili kaNkulunkulu ibekhona ukuze ehlule uSathane, futhi ibe khona ukuze asindise umuntu kangcono. Ingoba lowo olwa noSathane kungaba uNkulunkulu kuphela, noma nguMoya kaNkulunkulu noma uNkulunkulu ethathe isimo somzimba. Ngamafuphi, ngeke kube yizingelosi ezilwa noSathane, ingasaphathwa eyomuntu, owonakaliswe nguSathane. Izingelosi azinamandla okukwenza, kanti umuntu akanamandla futhi nangaphezulu. Kanjalo, uma uNkulunkulu efuna ukusebenza impilo yomuntu, uma efisa ukuza yena mathupha emhlabeni azosindisa umuntu, kufanele athathe isimo senyama mathupha, kanti nangobuyena bakhe bemvelo kanye nomsebenzi okufanele awenze, afike phakathi kwabantu futhi Asindise umuntu mathupha. Uma kungenjalo, uma bekunguMoya kaNkulunkulu noma umuntu obenza lo msebenzi, lempi beyizohluleka unomphela ukufeza umphumelo wayo, futhi beyingeke ize iphele. Kuphela uma uNkulunkulu ethatha isimo senyama ukuyolwa noSathane mathupha phakathi kwabantu ilapho umuntu eyoba nethuba lokusindiswa. Ngaphezu kwalokho, yilapho kuphela uSathane ezothola ukujabhiswa, futhi asale engenamathuba angawasebenzisa noma amacebo angawenza. Umsebenzi waNkulunkulu onesimo sesintu ngeke ufezwe uMoya kaNkulunkulu, futhi nangaphezulu ngeke wenziwa umuntu wenyama ewenzela uNkulunkulu, ngoba umsebenzi awenzayo ngowempilo yomuntu. Uma umuntu ubengabamba iqhaza kule mpi, ubezobaleka esebuphixiphixini obudabukisayo kuphela, futhi ubengeke akwazi nempela ukushintsha isimo somuntu esonakele. Ubengeke akwazi ukusindisa umuntu esiphambanweni, noma ukunqoba sonke isintu esidlubulundelayo, kodwa ubezokwazi kuphela ukwenza umsebenzana nje omncane ongedluli ezimisweni, noma umsebenzi ongaphathelene nokuhlulwa kukaSathane. Ngakho-ke ingabe uzihluphelani? Kuyini ukubaluleka komsebenzi ongeke uzuze isintu, kungasaphathwa okokwehlula uSathane? Ngakho-ke, impi noSathane ingenziwa kuphela uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi ubengeke nhlobo umuntu akwazi ukuwenza. Umsebenzi womuntu ukulalela nokulandela, ngoba umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi ohlobene nokudala amazulu nomhlaba, noma, ngaphezu kwalokho, enze umsebenzi wokwehlula uSathane. Umuntu angenelisa uMdali ngaphansi kokuholwa nguNkulunkulu uqobo lwakhe, ngalokho uSathane uyahlulwa; iyo kuphela into umuntu angayenza. Ngakho, njalo lapho impilo entsha iqala, okungukuthi, umsebenzi wenkathi entsha uqala, lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu uqobo Lwakhe mathupha, ngaleyo ndlela uhola inkathi yonkana, futhi uvula indlela entsha yesintu. Ukuqala kwenkathi entsha ngayinye, yisiqalo esisha empini noSathane, umuntu angena ngayo embusweni omusha futhi omuhle kakhulu kanye nenkathi entsha eholwa mathupha nguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Umuntu ungubasi wayo yonke into, kodwa labo abazuziwe bayoba izithelo zazo zonke izimpi noSathane. USathane ungumonakalisi wezinto zonke, ungohlulwayo ekugcineni kwazo zonke izimpi, futhi nguye oyojeziswa emuva kwalezimpi. Phakathi kukaNkulunkulu, umuntu noSathane, uSathane kuphela oyozondwa futhi alahlwe. Labo abazuzwa nguSathane kodwa babuye bathathwa nguNkulunkulu, ngaleso sikhathi, kuyoba yibo abayothola ukujeziselwa uSathane. Kulaba bobathathu, uNkulunkulu kuphela ofanele ukukhonzwa izinto zonke. Labo aboniwa nguSathane kodwa babuye bathathwa nguNkulunkulu, futhi abalandela indlela kaNkulunkulu, okwamanje, baba yilabo abazothola isithembiso sikaNkulunkulu futhi bahlulele ababi benzela uNkulunkulu. UNkulunkulu uzonqoba nakanjani futhi uSathane uzohlulwa nakanjani, kodwa phakathi kwabantu kukhona labo abayowina kukhona labo abayohlulwa. Labo abaphumelelayo bayoba kanye nabanqobi, futhi labo abayohlulwa bayoba kanye nabehlulwayo; lokhu ukuhlukanisa ngakunye ngohlobo lwakho, ngumphumela wokugcina womsebenzi kaNkulunkulu, kuyinhloso yawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu, futhi awusoze washintsha. Umnyombo womsebenzi osemqoka wokuphatha kukaNkulunkulu uqondiswe ekusindisweni komuntu, futhi uNkulunkulu uthatha isimo sesintu esikakhulukazi ngenxa yalo mnyombo, ngenxa yalo msebenzi, futhi ukuze ahlule uSathane. Ngesikhathi sokuqala uNkulunkulu ethatha isimo sesintu, nakho kwenzelwa ukuze ahlule uSathane: Wathatha isimo sesintu yena mathupha, futhi wabethelwa esiphambanweni mathupha, ukuze aqede umsebenzi wempi yokuqala, okwabe kungukuhlengwa kwesintu. Ngokufanayo, lesigaba somsebenzi senziwa nguNkulunkulu mathupha, othathe isimo sesintu ukuze enze umsebenzi wakhe phakathi kwabantu, ukukhuluma izwi lakhe mathupha nokuvumela umuntu ukuba ambone. Empeleni, akunakuvinjelwa ukuthi wenza neminye imisebenzi endleleni, kodwa isizathu esisemqoka esidala enze umsebenzi wakhe mathupha ukuhlula uSathane, ukunqoba isintu sisonkana, nokubazuza laba bantu. Ngakho, umsebenzi waNkulunkulu esesimweni sesintu yinto enkulu impela. Uma inhloso yakhe bekunguku khombisa umuntu ukuthi uNkulunkulu uthobekile futhi ufihlekile, nokuthi uNkulunkulu Ukhona ngokoqobo, uma bekungenxa yokwenza lo msebenzi kuphela, besingeke sibe khona isidingo sokuba nomzimba womuntu. Ngisho noma uNkulunkulu ubengazange athathe umzimba womuntu, ubengakuveza ukuthobeka nokufihleka kwakhe, ubukhulu nobungcwele bakhe, kumuntu ngqo, kodwa lezi zinto aziphathelene nomsebenzi wokuphatha isintu. Azikwazi ukusindisa umuntu noma ukumenza aphelele, kungasaphathwa ukuhlula uSathane. Uma ukwehlulwa kukaSathane bekuphathelene noMoya ulwa nomunye umoya, umsebenzi bewuzoba ngesigqi esibonakalayo esephansi kakhulu; bewungeke ukwazi ukuzuza umuntu futhi bewuzomosha isimiselo namathemba omuntu. Kanjalo, umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu kakhulu. Akukhona kuphela ukuthi umuntu kufanele ambone, noma ukuze amehlo omuntu avuleke, noma ukumfaka umdlandla kancane nokumkhuthaza; umsebenzi onjengalo awubalulekile. Uma ungakhuluma ngalolu hlobo lo lwazi kuphela, kuyasho ukuthi awazi ukubaluleka kwangempela kokuthatha isimo sesintu kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 129)

Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. Kudala, lapho uJesu efika, wayengowesilisa, kodwa lapho uNkulunkulu eza manje, ungowesifazane. Ngalokhu, uyabona ukuthi uNkulunkulu wadala kokubili owesilisa nowesifazane ebadalela umsebenzi Wakhe, futhi Kuye awukho umehluko wobulili. Lapho uMoya Wakhe ufika, ungathatha noma yisiphi isimo senyama ngokuthanda, futhi leyo nyama ingammela. Noma owesilisa noma owesifazane, ingamela uNkulunkulu inqobo nje uma iyinyama Yakhe esesimweni somuntu. Ukuba uJesu wayebonakale njengowesifazane lapho efika, ngamanye amazwi, lapho umntwana wentombazane, hhayi womfana, wayethatshathwe ngoMoya oNgcwele, leso sigaba somsebenzi sasizoqedwa sonke noma kunjalo. Ukuba lokhu kwakunjalo, lesi sigaba somsebenzi bekuzodingeka ukuba siqedwe ngowesilisa futhi umsebenzi ubuzoqedwa noma kunjalo. Umsebenzi owenziwe kuzo zombili izigaba ubaluleke ngokulinganayo; awukho umsebenzi ophindwayo noma ongqubuzana nomunye. Ngaleso sikhathi, ekwenzeni umsebenzi Wakhe, uJesu wayebizwa ngeNdodana eyodwa, futhi “iNdodana” ikhombisa ubulili besilisa. Ngakho kungani iNdodana ezelwe iyodwa ingabalwa kulesi sigaba? Kungenxa yokuthi izidingo zomsebenzi zenze ukuba kube noguquko ebulilini obehlukile kobukaJesu. KuNkulunkulu akukho kuhlukanisa ngobulili. Wenza umsebenzi Wakhe njengoba efisa futhi ekwenzeni umsebenzi Wakhe akavinjelwa lutho, kodwa ukhululeke ngokukhethekile. Nokho isigaba ngasinye sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. UNkulunkulu ube yinyama kabili, futhi lokhu kucace bha ukuthi ukuba sesimweni somuntu Kwakhe ezinsukwini zokugcina kungokokugcina. Uze ukuzokwambula zonke izenzo Zakhe. Ukuba kulesi sigaba ubengazange abe yinyama ukuze enze umsebenzi mathupha ukuze ubonwe ngumuntu, umuntu ubezohlala ebambelele emcabangweni wokuthi uNkulunkulu ungowesilisa kuphela, hhayi owesifazane. Ngaphambi kwalokhu, sonke isintu sasikholwa ukuthi uNkulunkulu angaba owesilisa kuphela futhi owesifazane wayengeke akwazi ukubizwa ngoNkulunkulu, ngoba sonke isintu sasithatha indoda njengenegunya kowesifazane. Babekholwa ukuthi akekho owesifazane okufanele abe negunya, kodwa yindoda kuphela. Okunye, baze bathi indoda yinhloko yowesifazane nokuthi owesifazane kufanele alalele indoda futhi wayengeke ayedlule. Kudala, lapho kuthiwa indoda iyinhloko yowesifazane, lokhu kwakuqondiswe ku-Adamu no-Eva ababekhohliswe yinyoka, hhayi kowesilisa nowesifazane njengoba babedalwe nguJehova ekuqaleni. Kuyiqiniso, owesifazane kufanele alalele futhi athande umyeni wakhe, futhi indoda kufanele ifunde ukondla nokusekela umndeni wayo. Le yimithetho nezinqumo ezibekwe uJehova okufanele abantu baphile ngazo emhlabeni. UJehova wathi kowesifazane, “Futhi ukunxanela kwakho kuzoba sendodeni yakho, kanti yona izobusa phezu kwakho.” Lokhu wakusho kuphela ukuze isintu (okusho ukuthi, bobabili owesilisa nowesifazane) baphile impilo ejwayelekile ngaphansi kombuso kaJehova, futhi ukuze kuphela izimpilo zabantu zibe nokwakheka zingalahlekelwa ukuma kahle. Ngakho-ke, uJehova wenza imithetho efanele yokuthi owesilisa nowesifazane kufanele benze kanjani, kodwa lokhu kwakumayelana nakho konke okudaliwe okuphila emhlabeni futhi kwakungenabuhlobo nenyama kaNkulunkulu yobuntu. UNkulunkulu wayengafana kanjani nendalo Yakhe? Amazwi Akhe ayeqondiswe kuphela esintwini sendalo Yakhe; ayeyimithetho ebekelwe owesilisa nowesifazane ukuze isintu siphile impilo ejwayelekile. Ekuqaleni, ngesikhathi uJehova edala isintu, wadala bobalili owesilisa nowesifazane; ngakho-ke kunokwehlukaniswa ngokwesilisa nesifazane enyameni Yakhe yokuba sesimweni somuntu. Akazange anqume umsebenzi Wakhe ngokwamazwi awakhuluma ku-Adamu no-Eva. Izikhathi ezimbili athatha ngazo umzimba wenyama zanqunywa ngokuhambisana kahle ngokuphelele nokucabanga Kwakhe ngesikhathi eqala ukudala abantu, okusho ukuthi, waqeda umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kabili, okusekelwe kowesilisa nowesifazane bengakonakali. Ukuba isintu sathatha amazwi akhulunywa nguJehova ku-Adamu no-Eva abase bekhohliswe yinyoka sawasebenzisa emsebenzini kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingabe uJesu naye kwakungeke kufanele athande inkosikazi Yakhe njengoba kufanele? Ngale ndlela, ngabe uNkulunkulu ubengaba esenguNkulunkulu? Uma kunjalo, wayengawuqeda umsebenzi Wakhe? Uma kungalungile ukuba umzimba kaNkulunkulu osesimweni somuntu ube ngowesifazane kwakungeke yini kube yiphutha elikhulu futhi lapho uNkulunkulu edala owesifazane? Uma umuntu esakholwa ukuthi ngeke kulunge ukuba uNkulunkuku athathe isimo somuntu wesifazane, ngabe-ke ngeke uJesu, ongazange ashade ngakho-ke wangakwazi ukuthanda inkosikazi Yakhe, abe sephutheni ngokufanayo nokuba sesimweni somuntu kwamanje? Njengoba usebenzisa amazwi uJehova awakhuluma ku-Eva ukulinganisa iqiniso lokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu namhlanje, kuzofuneka usebenzise amazwi kaJehova ku-Adamu ukwehlulela iNkosi uJesu owaba yinyama ngeNkathi Yomusa. Ingabe lokhu okubili akufani? Njengoba wahlulela iNkosi uJesu ngokowesilisa ongazange akhohliswe yinyoka, awukwazi-ke ukwahlulela iqiniso lokuba sesimweni somuntu namuhla ngowesifazane owakhohliswa yinyoka. Akulungile lokhu! Ukulinganisa uNkulunkulu ngale ndlela kufakazela ukuthi untula ukucabanga. Ngesikhathi uJehova eba yinyama kabili, ubulili bokuba sesimweni somuntu Kwakhe babuhlobene nowesilisa nowesifazane abangazange bakhohliswe yinyoka; ube yinyama kabili ngokuhambelana nowesilisa nowesifazane abangazange bakhohliswe yinyoka. Ungacabangi ukuthi ukuba ngowesilisa kukaJesu kwakufana nokuka-Adamu owakhohliswa yinyoka. Akahlobene nhlobo naye, futhi bangabesilisa ababili abanemvelo eyehlukene. Ngempela ngeke kube yikhona ukuthi ukuba ngowesilisa kukaJesu kukhombisa ukuthi uyinhloko yabo bonke abesifazane kuphela kodwa hhayi eyabo bonke abesilisa? Akayona iNkosi yawo wonke amaJuda (kuhlanganise kokubili abesilisa nabesifazane)? UnguNkulunkulu uqobo Lwakhe, hhayi nje inhloko yabesifazane kuphela kodwa inhloko yabesilisa futhi. UyiNkosi yazo zonke izidalwa kanye nenhloko yazo zonke izidalwa. Unganquma kanjani ukuthi ubulili bukaJesu buwuphawu lokuba yinhloko yabesifazane? Ingabe lokhu akukhona ukuhlambalaza? UJesu ungowesilisa ongakaze onakaliswe. UnguNkulunkulu; unguKristu; uyiNkosi. Angaba kanjani owesilisa njengo-Adamu owonakalisiwe? UJesu uyinyama embethwe nguMoya oNgcwele kakhulu kaNkulunkulu. Ungasho kanjani ukuthi unguNkulunkulu onobulili buka-Adamu? Ngakho kwakungeke yini kube wonke umsebenzi kaNkulunkulu ubungalungile? Ingabe uJehova wayengakwazi ukufaka kuJesu ubulili buka-Adamu owakhohliswa yinyoka? Ingabe ukuba sesimweni somuntu manje akuwona omunye umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ohlukile ngobulili kuJesu kodwa ofanayo ngemvelo? Ingabe usalokotha uthi uNkulunkulu osesimweni somuntu ngeke abe ngowesifazane, ngoba owesifazane waba ngowokuqala ukukhohliswa yinyoka? Ingabe usalokotha ukuthi, njengoba owesifazane engongcole kakhulu nowumthombo wenkohlakalo yesintu, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuba sesimweni somuntu wesifazane? Ingabe usalokotha uthi “owesifazane uyohlala elalela owesilisa futhi akasoze abonakalise noma amele uNkulunkulu ngokuqondile”? Awuqondanga ngesikhathi esedlule, kodwa ungabuye uhlambalaze umsebenzi kaNkulunkulu namanje, ikakhulu inyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu? Uma ungeke ukubone ngokucace kakhulu lokhu, kungcono ubheke ulimi lwakho, funa ubuwula nokungazi kwakho kwembulwe nobubi bakho budalulwe. Ungacabangi ukuthi uqonda yonke into. Ngikutshela ukuthi konke okubonile nokwazile akwenele ukuba ungaqonda ngisho okukodwa enkulungwaneni yohlelo Lwami lokuphatha. Pho kungani uqhosha kangaka? Ingxenyana yethalente nje nolwazana onalo akwanele ukusetshenziswa ngisho umzuzwana nje emsebenzini kaJesu! Unolwazi olungakanani ngempela? Okubonile nakho konke okuzwile empilweni yakho nalokho okucabangile kuncane kunomsebenzi engiwenza ngomzuzu! Kuhle ukuba ungathungathi futhi ufune amaphutha. Ungazidla ngendlela oyifunayo, kodwa useyisidalwa esingalingani ngisho nentuthwane! Konke lokho okusesiswini sakho kuncane kunalokho okusesiswini sentuthwane! Ungacabangi, ukuthi ngoba usuzuze ulwazi oluthile nobukhulu, lokhu kukunika ilungelo lokubhenguza nokukhuluma kakhulu. Ingabe ulwazi lwakho nobukhulu bakho abuwona umphumela wamazwi engiwakhulumile? Ukholwa ukuthi kwakungawokuhwebelana ngenxa yokusebenza kanzima kwakho? Namuhla, ubona ukuthi sengibe yinyama, bese kuthi ngenxa yalokhu kuphela usugcwele imiqondo eminingi, futhi usufunde imicabango engenakubalwa kuyona. Ukuba bekungekhona ukuba Kwami sesimweni somuntu, ngisho ngabe ubunamathalente angavamile kangakanani, ubungeke ube nemiqondo eminingi kangaka; futhi akukhona yini lapho kusuka khona imibono yakho? Ukuba uJesu wayengakaze abe sesimweni somuntu okokuqala, wawuyokwazi ngokuba sesimweni somuntu? Akungenxa yokuthi ukuba sesimweni somuntu okokuqala kwakunikeza ulwazi olwenza ube nesibindi sokwahlulela ukuba sesimweni somuntu okwesibili? Kungani, esikhundleni sokuba ngumlandeli olalelayo, ukucwaninge? Lapho usungene kulo mgudu weza phambi kukaNkulunkulu osesimweni somuntu, angakuvumela ukuba ukufunde? Kuhle ukuba ufunde umlando womndeni wakho, kodwa uma uzama ukucwaninga “ngomlando womndeni” kaNkulunkulu angakuvumela uNkulunkulu wanamuhla ukuba wenze lokho kucwaninga? Ingabe awuyona impumputhe? Awuzidonseli ukucasukelwa?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 130)

Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo kwehlukene noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo noma kunjalo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nenyama nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bawukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esesimweni somuntu kukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye wayengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye ungowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yilezi zizathu ezenze baphile emazweni ukuze benze umsebenzi okumele bobabili bawenze, nasezikhathini ezehlukene futhi. Ngaphandle kokuba Moya munye, banengqikithi eyodwa, akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, ekugcineni, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi, ububona Babo bonke buphethe uMoya Wabo, obahlukanisela umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, nenyama Yabo uyinike izinhlobo ezehlukene zegazi. UMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokusolwa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu; futhi ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukhona ukuba namandla onke kukaNkulunkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 131)

UNkulunkulu engomkhulu kakhulu kuwo wonke umhlaba nasemkhathini ngaphezulu, wayengekwazi yini ukuzichaza ngokugcwele esebenzisa umfanekiso wenyama? UNkulunkulu wembatha le nyama ukuze enze isigaba esisodwa somsebenzi Wakhe. Akukho kubaluleka okutheni kulo mfanekiso wenyama, ayinabuhlobo nokwedlula kwezinkathi, futhi ayihlangene ngalutho nesimo sikaNkulunkulu. Kungani uJesu engavumelanga ukuthi umfanekiso Wakhe ukuthi usale? Kungani engavumelanga ukuthi umuntu adwebe umfanekiso Wakhe ukuze udluliselwe ezizukulwaneni zakamuva? Kungani engavumelanga abantu ukuba bavume ukuthi umfanekiso Wakhe kwakuwumfanekiso kaNkulunkulu? Nakuba umfanekiso womuntu wadalwa emfanekisweni kaNkulunkulu, kwakungenzeka yini ukuba ukubukeka komuntu kumelele umfanekiso ophakeme kaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu eba yinyama, wehla esuka ezulwini nje angene enyameni ethile. WuMoya Wakhe owehlela enyameni, owenza ngayo umsebenzi kaMoya. NguMoya ovezwa enyameni, futhi nguMoya owenza umsebenzi esenyameni. Umsebenzi owenziwa enyameni umelele ngokugcwele uMoya, futhi inyama ingenxa yomsebenzi, kodwa lokho akusho ukuthi umfanekiso wenyama uthatha indawo yomfanekiso wangempela kaNkulunkulu uqobo Lwakhe; lena akuyona inhloso noma ukubaluleka kukaNkulunkulu obe yinyama. Uba yinyama kuphela ukuze uMoya athole indawo efanele yokuhlala lapho enza umsebenzi Wakhe, ukuze akwazi kangcono ukufeza umsebenzi Wakhe enyameni—ukuze abantu bakwazi ukubona umsebenzi Wakhe, baxhumane nesimo Sakhe, bezwe amazwi Akhe, futhi bazi ukumangalisa komsebenzi Wakhe. Igama Lakhe limelele isimo Sakhe, umsebenzi Wakhe umelele ubunjalo Bakhe, kodwa akaze athi ukubonakala Kwakhe enyameni kumelele umfanekiso Wakhe; lokho kungumcabango womuntu nje. Ngakho futhi, izingxenye ezisemqoka zokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ziyigama Lakhe, umsebenzi Wakhe, isimo Sakhe, nobulili Bakhe. Lezi zisetshenziselwa ukumelela ukuphatha Kwakhe kule nkathi. Ukubonakala Kwakhe enyameni akuhlobene nokuphatha Kwakhe, njengoba kungenxa yomsebenzi Wakhe nje ngaleso sikhathi. Kodwa ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu angabi nakubukeka okuthile, ngakho-ke ukhetha umndeni ofanele ukuze anqume ukubukeka Kwakhe. Ukuba ukubukeka kukaNkulunkulu bekuyoba nokubaluleka kokumela bonke-ke labo abanesakhiwo sobuso esifana nesakhe nabo babeyomelela uNkulunkulu. Kwakungeke lokho kube yiphutha elimangalisayo? Isithombe sikaJesu sadwetshwa ngumuntu ukuze umuntu amkhonze. Ngaleso sikhathi, uMoya oNgcwele akanikezanga miyalelo ekhethekile, ngakho-ke umuntu wedlulisela isithombe phambili kwaze kwaba namuhla. Empeleni, ngokwenhloso yasekuqaleni kaNkulunkulu, umuntu kwakungafanele akwenze lokhu. Yintshiseko yomuntu kuphela eyenza ukuba isithombe sikaJesu sihlale kuze kube namuhla. UNkulunkulu unguMoya, futhi umuntu akasoze akwazi ukuqukatha lokho umfanekiso Wakhe oyikho ekugcineni. Umfanekiso Wakhe ungamelelwa kuphela yisimo Sakhe. Okokubukeka kwekhala Lakhe, komlomo Wakhe, kwamehlo Akhe, nokwezinwele Zakhe, lokhu kungaphezulu kwamandla akho ukukuqukatha. Lapho isambulo sifika kuJohane, wabona umfanekiso weNdodana yomuntu: Emlonyeni Wakhe kwakunenkemba esika nhlangothi zombili, amehlo Akhe ayenjengamalangabi omlilo, ikhanda nezinwele Zakhe kwakumhlophe njengoboya bemvu, izinyawo Zakhe zinjengethusi elikhazimulisiwe, futhi kwakuzungeze ibhande legolide esifubeni Sakhe. Nakuba amazwi akhe ayegqame ngokwedlulele, umfanekiso kaNkulunkulu ayewuchaza kwakungewona owomuntu odaliwe. Akubona kwakuwumbono kuphela, futhi hhayi umfanekiso womuntu wasemhlabeni woqobo. UJohane wayebone umbono, kodwa wayengabonanga ukubukeka kwangempela kukaNkulunkulu. Umfanekiso wenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, ungumfanekiso womuntu odaliwe, awukwazi ukumelela sonke isimo sikaNkulunkulu. Lapho uJehova edala isintu, wathi ukwenza lokho ngomfanekiso Wakhe futhi wadala owesilisa nowesifazane. Ngaleso sikhathi, wathi wenza owesilisa nowesifazane ngomfanekiso kaNkulunkulu. Nakuba umfanekiso womuntu ufuze umfanekiso kaNkulunkulu, lokhu akukwazi ukuqondwa ngokuthi kuchaza ukuthi ukubukeka komuntu kuwumfanekiso kaNkulunkulu. Futhi awukwazi ukusebenzisa ulimi lwesintu ukuchaza umfanekiso kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uphakeme kakhulu, mkhulu kakhulu, umangalisa futhi akaqondakali kakhulu!

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 132)

Manje, uNkulunkulu ufika ezokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuyiwo kuphela umzimba kaNkulunkulu wokuba senyameni kwesibili, kodwa futhi umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Uyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awukwazi ukubona into ehlukile kweyabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, futhi kuveza sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu asiqonde. Awukufisi kakhulu ukubona uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukuqonda uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo okungekho muntu oke wakwazi ukukutshela zona, futhi uzobuye akutshele amaqiniso ongawaqondi. Uyisango lakho lokungena embusweni, nomqondisi wakho ekungeneni enkathini entsha. Inyama ejwayeleke kanjalo iqukethe izimfihlakalo ezingenakwaziwa. Izenzo Zakhe zingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi awenzayo wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okukhonjiswa uNkulunkulu esintwini ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwenduku Yakhe yensimbi, ungezwa emazwini Akhe ulaka lukaNkulunkulu futhi wazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela uNkulunkulu anakho ngesintu. Umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ukuvumela umuntu ukubona uNkulunkulu osezulwini ephila phakathi kwabantu emhlabeni, futhi nokwenza umuntu ukuthi azi, alalele, ahloniphe, futhi athande uNkulunkulu. Yingakho ebuyele enyameni okwesibili. Nakuba lokho umuntu akubonayo namuhla kunguNkulunkulu ofana nomuntu, uNkulunkulu onekhala kanye namehlo amabili, futhi uNkulunkulu ongamangalisi, ekugcineni uNkulunkulu uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu nomhlaba kungabhekana noguquko olumangalisayo; ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu lingafiphala, umhlaba ungaphenduka isiphithiphithi, futhi sonke isintu singaphila endlaleni nezifo ezibhubhisayo. Uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kwensindiso kaNkulunkulu osenyameni ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ngabe kade abhubhisa sonke isintu esihogweni; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ubuyohlala njalo uyinkosi yezoni nezidumbu ingunaphakade. Kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokuba khona kwale nyama, sonke isintu besizobhekana nenhlekelele engenakugwemeka futhi sithole kunzima ukuphunyuka esijezisweni sikaNkulunkulu esinzima kakhulu ezinsukwini zokugcina. Ngaphandle kokuzalwa kwale nyama ejwayelekile, nonke benizoba sesimweni lapho ukuphila nokufa kungasafiki akukhathaleki ukuthi nikufuna kanjani; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ngalolu suku ubungeke ukwazi ukwemukela iqiniso futhi uze ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Kunalokho, ubuyojeziswa nguNkulunkulu ngenxa yezono zakho ezimbi kakhulu. Uyazi? Ukuba ubengabuyelanga uNkulunkulu enyameni, akekho obezoba nethuba lokusindiswa; futhi ukuba beyingezanga le nyama, uNkulunkulu ngabe kade ayiqeda inkathi endala. Kanjalo, usengakuchitha ukuba senyameni kukaNkulunkulu okwesibili? Njengoba ungazuza kakhulu kangaka kulo muntu ojwayelekile, kungani ungamamukeli Yena kalula?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 133)

Umsebenzi kaNkulunkulu yilokhu ongeke wakuqonda. Uma ungaqondi noma isinqumo sakho silungile futhi ungazi noma umsebenzi kaNkulunkulu ungaphumelela, kungani ungazami inhlanhla yakho futhi ubone noma lomuntu ojwayelekile uwusizo olukhulu kuwena, nokuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi omkhulu. Kepha, kufanele ngikutshele ukuthi ngesikhathi sikaNowa, abantu babekade bedla futhi bephuza, beshada futhi beshadisa kwaze kwafika ezingeni lokuthi kungabe kusabekezeleka kuNkulunkulu ukuba akubone, ngakho wathumela uzamcolo omkhulu ukubhubhisa isintu futhi washiya kuphela umndeni kaNowa wabayisishagalombili nazo zonke izinhlobo zezinyoni nezilwane. Ezinsukwini zokugcina, kepha, labo abayogcinwa nguNkulunkulu yilabo abebethembekile Kuye kuze kube sekugcineni. Nakuba zombili kwakuyizikhathi zenkohlakalo enkulu engabekezeleki ukuba ayibone uNkulunkulu, futhi isintu ezinkathini zombili sasikhohlakele ngendlela yokuthi saphika uNkulunkulu njengeNkosi, bonke abantu esikhathini sikaNowa babhujiswa nguNkulunkulu. Isintu ezinkathini zombili samdabukisa kakhulu uNkulunkulu, kepha uNkulunkulu uselokhu enesineke nabantu ezinsukwini zokugcina kuze kube manje. Kungani kunjalo? Awukaze ukucabange lokhu? Uma ungazi ngempela, ake ngikutshele. Isizathu uNkulunkulu ekwazi ukubaphatha ngomusa abantu ezinsukwini zokugcina akukona ukuthi bakhohlakele kancane kunabantu bangesikhathi sikaNowa noma ukuthi bakhombise ukuphenduka kuNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akubekezelele ukubhubhisa abantu ezinsukwini zokugcina lapho ubuchwepheshe sebuthuthuke kakhulu. Kunalokho, ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi adinga ukuwenza eqoqweni labantu ezinsukwini zokugcina futhi lokhu kuzokwenziwa nguNkulunkulu osenyameni uqobo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzokhetha ingxenye yaleli qembu njengalabo abakhethelwa insindiso, isithelo sohlelo Lwakhe lokuphatha, futhi alethe labo bantu enkathini elandelayo. Ngakho, akukhathaleki ukuthi yini, le ntengo enkulu kangaka ekhokhwe uNkulunkulu yonke ibingamalungiselelo omsebenzi wokuthatha Kwakhe wokuba senyameni Kwakhe ezinsukwini zokugcina. Iqiniso ofinyelele kulo namuhla lingenxa yale nyama. Yingoba uNkulunkulu uyaphila enyameni yingakho unethuba lokuphila. Yonke le nhlanhla itholakale ngenxa yalo muntu ojwayelekile. Hhayi lokhu kuphela, kodwa ekugcineni zonke izizwe zizomkhonza lo muntu ojwayelekile, ziphinde zibonge futhi zilalele lo muntukazana ngoba yiqiniso, ukuphila kanye nendlela akulethile ukuze asindise isintu sonke, wadambisa ukungqubuzana phakathi komuntu noNkulunkulu, wanciphisa ibanga phakathi kwabo futhi wavula ukuxhumana phakathi kwemicabango kaNkulunkulu nomuntu. Nguye futhi oselethe udumo olukhulu nakakhulu kuNkulunkulu. Akafanele umuntu ojwayelekile njengaloukuthenjwa nokuthandwa nguwe? Ayifanele inyama ejwayelekile njengale ukubizwa ngoKristu? Ngeke kwenzeke ukuthi umuntu ojwayelekile onjalo abe ukuvezwa kukaNkulunkulu phakathi kwabantu? Akakufanele umuntu onjalo osiza isintu ukuthi siphephe enhlekeleleni ukuthandwa nokugonwa nguwe? Uma ulahla amaqiniso aphuma emlonyeni Wakhe futhi unyanya ukuba khona Kwakhe phakathi kwenu, siyoba yini isiphetho sakho?

Wonke umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina wenziwa ngalo muntu ojwayelekile. Uzobeka konke phezu kwakho, futhi, ngaphezu kwalokho, anganquma yonke into ngawe. Umuntu onjalo angaba njengoba ukholwa: umuntu ojwayeleke ngendlela yokuthi akafanele ukushiwo? Iqiniso Lakhe alanele ukukukholisa ngokuphelele? Ukubona izenzo Zakhe akwanele ukukukholisa ngokuphelele? Noma ukuthi indlela akuholela kuyo, ayifanelekile ukuthi uyilandele? Yini le ekwenza uzizwe umzonda, uphinde umlahle futhi umbalekele? Nguye oveza iqiniso, Nguye onika iqiniso futhi Nguye owenza ukuthi ube nendlela ozoyihamba. Kungenzeka ukuthi namanje awuziboni izimpawu zomsebenzi kaNkulunkulu kula maqiniso? Ngaphandle komsebenzi kaJesu, isintu ngabe asizange sehle esiphambanweni, kodwa ngaphandle kokuba senyameni namuhla, labo abehle esiphambanweni bebengeke bamukeleke kuNkulunkulu noma bangene enkathini entsha. Ngaphandle kokufika kwalo muntu ojwayelekile, ubungeke ube nethuba noma ufaneleke ukubona ubuso bangempela bukaNkulunkulu, ngoba nonke niyilabo ebekufanele ukuthi babhujiswa kudala. Ngenxa yokufika kokuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu, uNkulunkulu usekuxolele futhi wakukhombisa umusa. Noma kunjalo, amazwi okufanele ngikushiye nawo ekugcineni kuseyilawa: Lo muntu ojwayelekile, onguNkulunkulu osenyameni, ubaluleke ngokusemqoka kuwe. Yinto enkulu uNkulunkulu aseyenzile phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 134)

Yini okumele uyazi ngoNkulunkulu wokoqobo? UMoya, uMuntu, kanye neZwi kwenza uNkulunkulu wokoqobo uqobo, futhi lokhu kuyincazelo yeqiniso kaNkulunkulu uqobo. Uma wazi uMuntu kuphela—uma wazi imikhuba Yakhe kanye nobuyena—kodwa ungawazi umsebenzi kaMoya, noma lokho uMoya akwenzayo enyameni, kodwa uma unaka uMoya kuphela, kanye neZwi, futhi uthandaze phambi kukaMoya kuphela, ungazi ngomsebenzi kaMoya kaNkulunkulu kuNkulunkulu wokoqobo, lokhu-ke kusafakazela ukuthi awukamazi uNkulunkulu wokoqobo. Ulwazi ngoNkulunkulu wokoqobo lubandakanya ukwazi kanye nokuzwa amazwi Akhe, nokubamba imigomo kanye nezimiso zomsebenzi kaMoya ONgcwele, nokuthi usebenza kanjani uMoya kaNkulunkulu enyameni. Ngakho, futhi, kubandakanya nokwazi ukuthi konke ukwenza kukaNkulunkulu enyameni kubuswa nguMoya, kanye nokuthi amazwi awakhulumayo angukukhuluma ngqo kukaMoya. Ngalokho, uma ufisa ukwazi ngoNkulunkulu wokoqobo, kumele wazi kuqala ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani ebuntwini kanye nasebunkulunkulwini; lokhu, ekugcineni, kumayelana nokuvezwa kukaMoya, okuyinto abantu bonke ababhekana nayo.

Kuphetheni okuvezwa nguMoya? Kwesinye isikhathi uNkulunkulu usebenza ebuntwini, futhi kwesinye isikhathi ebunkulunkulwini—kodwa kukho konke, kuzo zombili lezi zimo uMoya iwona oqondisayo. Noma ngabe imuphi umoya ophakathi kubantu, kunjalo-ke nokuvezeka kwawo ngaphandle. UMoya usebenza ngokujwayelekile, kodwa kunezingxenye ezimbili ekuholeni Kwakhe ngoMoya: Ingxenye eyodwa umsebenzi Wakhe ebuntwini, kanti enye ingxenye umsebenzi Wakhe ngobunkulunkulu. Kumele ukwazi lokhu ngokucacileyo. Umsebenzi kaMoya uhlukana ngokwezimo: Uma umsebenzi wobuntu Bakhe udingeka, uMoya uqondisa lo msebenzi wobuntu, futhi uma kudingeka umsebenzi wobunkulunkulu Bakhe, ubunkulunkulu buyavela ngokuqondile ukuze buwenze. Ngoba uNkulunkulu usebenza enyameni futhi uvela enyameni, Usebenza ebuntwini nasebunkulunkulwini kokubili. Umsebenzi Wakhe ebuntwini uqondiswa uMoya, futhi ukuze enelise izidingo zabantu zomuntu, ukwenza kube lula ukuxhumana kwabo Naye, ukubavumela ukuba babone iqiniso kanye nokujwayeleka kukaNkulunkulu, ukubavumela ukuba babone ukuthi uMoya kaNkulunkulu uze usenyameni, futhi uphakathi kwabantu, uphila nabantu futhi uxhumana nabantu. Umsebenzi Wakhe ebunkulunkulwini wenzelwe ukuhlinzeka impilo kubantu, kanye nokuqondisa abantu ezintweni zonke ngasohlangothini lokuhle, ukuguqula izimo zabantu futhi nokubavumela ukuba babone ngeqiniso ukuvela kukaMoya enyameni. Okuphambili, ukukhula empilweni yomuntu kutholakala ngomsebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi ebunkulunkulwini. Kuphela uma abantu bemukela umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini, bangakwazi ukuzuza izinguquko esimweni sabo, kungaleso sikhathi kuphela lapho benganeliseka emoyeni wabo; imiphumela yomsebenzi kaNkulunkulu ingafezeka ngokugcwele kuphela uma, ngaphezu kwalokhu, ukhona umsebenzi esintwini—ukwalusa, ukweseka kanye nokuhlinzeka kukaNkulunkulu. UNkulunkulu wokoqobo uqobo okokhulunywa Ngaye namuhla usebenza ebuntwini kanye nasebunkulunkulwini kokubili. Ngokubukeka kukaNkulunkulu wokoqobo, umsebenzi Wakhe wobuntu ojwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe ophelele wobunkulunkulu uyafezeka. Ubuntu nobunkulunkulu Bakhe buhlangene ndawonye, futhi umsebenzi wakho kokubili ufezeka ngamazwi; noma ngabe kusebuntwini noma ebunkulunkulwini, ukhuluma amazwi. Lapho uNkulunkulu esebenza esintwini, ukhuluma ulimi lwesintu, ukuze abantu baxhumane futhi baqonde. Amazwi Akhe akhulunywa ngokucacile, futhi alula ukuwaqonda, ngale ndlela yokuthi angahlinzekwa abantu bonke; kungakhathaleki noma laba bantu banolwazi noma bafunde kancane, bonke bangawathola amazwi kaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini nawo wenziwa ngamazwi, kodwa ugcwele ukuhlinzeka, ugcwele ukuphila, awungcolisiwe imiqondo yobuntu, awufaki ukukhetha kobuntu, futhi awunayo imikhawulo yobuntu, ungaphandle kwemingcele yobuntu obujwayelekile; wona, futhi, wenziwa enyameni, kodwa ungukuvezwa kukaMoya ngqo. Uma abantu bemukela kuphela umsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini, bayoziqoqela emkhawulweni othile, futhi bayodinga ukusetshenzwa, ukuthenwa, kanye nokuqondiswa okungapheli ukuze kube khona uguquko oluncane kubo. Ngaphandle komsebenzi noma ubukhona bukaMoya oNgcwele, nokho, bayohlala bebuyela ezindleleni zabo ezindala; kungomsebenzi wobunkulunkulu kuphela lapho lezi zifo kanye nokuntula kungalungiswa, yilapho kuphela abantu bengenziwa baphelele. Esikhundleni sokusetshenzwa nokuthenwa okuqhubekayo, okudingekayo ukuhlinzekwa okuhle, kusetshenziswa amazwi ukulungisa amaphutha onke, ukusebenzisa amazwi ukuveza sonke isimo sabantu, ukusebenzisa amazwi ukuqondisa izimpilo zabo, ukukhuluma kwabo, ukwenza kwabo konke, ukuveza izinhloso zabo kanye nokukhuthazeka; lona ngumsebenzi wangempela kaNkulunkulu wokoqobo. Futhi ngalokho, esimweni sakho sengqondo ngoNkulunkulu wokoqobo kumele uzithobe kukho kokubili phambi kobuntu Bakhe, umazise futhi umvume, okunye futhi, kumele wamukele futhi ulalele umsebenzi namazwi obunkulunkulu. Ukubonakala kukaNkulunkulu enyameni kusho ukuthi wonke umsebenzi namazwi kaMoya kaNkulunkulu kwenziwa ngobuntu Bakhe obujwayelekile, nangobuntu Bakhe enyameni. Ngamanye amazwi, uMoya kaNkulunkulu ukuqondisa kokubili, umsebenzi Wakhe wobuntu bese futhi wenza nomsebenzi wobunkulunkulu enyameni, futhi kuNkulunkulu osesimweni somuntu ungakwazi ukukubona kokubili, umsebenzi kaNkululunkulu esintwini kanye nomsebenzi Wakhe onobunkulunkulu obuphelele. Lokhu ngukubaluleka kwangempela okungokoqobo ngokwengeziwe kokubonakala kukaNkulunkulu wokoqobo esenyameni. Uma ungakubona lokhu ngokucacile, uyokwazi ukuhlanganisa izingxenye ezehlukene zikaNkulunkulu, futhi uyoyeka ukubeka ukubaluleka okukhulu kakhulu emsebenzini Wakhe ebunkulunkulwini, kanye nokunganaki umsebenzi Wakhe ebuntwini, futhi angeke wenze ngokwedlulele, noma uthathe izindlela eziphambukayo. Kukho konke, incazelo kaNkulunkulu wokoqobo ukuthi umsebenzi wobuntu Bakhe kanye nowobunkulunkulu Bakhe, njengalokhu uqondiswa uMoya, uvezwa enyameni Yakhe, ukuze abantu babone ukuthi ucacile futhi uyaphila, ungowokoqobo, futhi ungowangempela.

Umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu ebuntwini unezigaba ezidlulayo. Ngokwenza isintu sipheleliswe, wenza ubuntu Bakhe ukuba bamukele ukuqondisa kukaMoya, emva kwalokho ubuntu Bakhe buyakwazi ukuhlinzeka nokwelusa amabandla. Lokhu ukuvezwa okukodwa komsebenzi kaNkulunkulu ojwayelekile. Ngalokho, uma ungabona ngokucacile izimiso zomsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini, emva kwalokho, ngeke ube nemicabango ngomsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini. Akukhathaleki noma yini enye, uMoya kaNkulunkulu awukwazi ukuba nephutha. Uqinisile, futhi awunako ukuphambuka; ngeke Wenze into ngendlela engeyiyo. Umsebenzi wobunkulunkulu ungukuvezwa okuqonde ngqo kwentando kaNkulunkulu, ngaphandle kokugxambukela kobuntu. Awedluli ekuphelelisweni, kodwa uvela kuMoya ngqo. Futhi nokho, ukuthi uyakwazi ukusebenza ebunkulunkulwini kungenxa yobuntu Bakhe obujwayelekile; lokhu akukho nakancane ngaphezu kwemvelo, futhi kubonakala sengathi kwenziwa umuntu ojwayelekile; uNkulunkulu weza emhlabeni evela ezulwini ikakhulu ukuze akhiphe amazwi kaNkulunkulu ngenyama, ukuqedela umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu esebenzisa inyama.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 135)

Namuhla, ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu wokoqobo luhlala lusohlangothini olulodwa kakhulu, futhi nokuqonda kwabo ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kuwubala nje. Uma kuza enyameni kaNkulunkulu, abantu babona ngomsebenzi Wakhe kanye namazwi Akhe ukuthi uMoya kaNkulunkulu ufaka izinto eziningi, ukuthi ucebe kakhulu. Kodwa, nakuba kunjalo, ubufakazi bukaNkulunkulu, ekugcineni buvela kuMoya kaNkulunkulu: lokhu uNkulunkulu akwenza enyameni, izimiso asebenza ngazo, lokhu akwenzayo ebuntwini, nakwenzayo ebunkulunkulwini. Abantu kufanele babe nolwazi lwalokhu. Namuhla uyakwazi ukukhonza lo muntu, kodwa eqinisweni ukhonza uMoya. Lokhu ngokuncane kakhulu okumele kufezwe olwazini lwabantu ngoNkulunkulu osesimweni somuntu: ukwazi ingqikithi kaMoya ngomuntu, ukwazi umsebenzi wobunkulunkulu kaMoya enyameni kanye nomsebenzi wobuntu enyameni, ukwamukela wonke amazwi kanye nokukhuluma enyameni, kanye nokubona ukuthi uMoya kaNkulunkulu uyiqondisa kanjani inyama futhi uwaveza kanjani amandla Akhe enyameni. Okusho ukuthi, umuntu ufika ekwazini uMoya osezulwini ngomuntu; ukubonakaliswa kukaNkulunkulu wokoqobo uqobo phakathi kwabantu kuxoshe uNkulunkulu ongacacile uqobo ekuqondeni kwabantu, ukukhonza kwabantu uNkulunkulu wokoqobo uqobo sekwenyuse ukulalela kwabo uNkulunkulu; futhi ngomsebenzi wobunkulunkulu kaMoya kaNkulunkulu enyameni, nomsebenzI wobuntu enyameni, umuntu uthola isambulo nokweluswa, futhi izinguquko ziyafezeka esimweni sempilo yakhe. Lokhu kuyincazelo yangempela yokufika kukaMoya enyameni, futhi kwenzelwe ikakhulukazi ukuze abantu bahlanganyele noNkulunkulu, bancike kuNkulunkulu, futhi bathole ukwazi uNkulunkulu.

Okubalulekile, yisiphi isimo sengqondo okumele abantu babenaso ngoNkulunkulu wokoqobo? Wazini ngokuba sesimweni somuntu, ngokubonakala kweZwi enyameni, ngokuvela kukaNkulunkulu enyameni, ngezenzo zikaNkulunkulu wokoqobo? Futhi yini esemqoka okukhulunywa ngayo namhlanje? Ubunkulunkulu enyameni, ukufika kweZwi enyameni, kanye nokubonakala kukaNkulunkulu enyameni—lezi zindaba kumele ziqondwe zonke. Ngokwezinga lenu kanye nenkathi, ezintweni enidlule kuzo empilweni yenu, kufanele niye ngokuya nifinyelela ekuziqondeni lezi zindaba, futhi kumele nibe nolwazi olucacile lwazo. Indlela abantu abazi ngayo amazwi kaNkulunkulu iyafana nendlela abazi ngayo ukuvela kukaNkulunkulu esenyameni. Ngesikhathi abantu bazana kakhulu namazwi kaNkulunkulu, kulapho bezokwazana kakhulu noMoya kaNkulunkulu; ngokwazi amazwi kaNkulunkulu, abantu baqonda izimiso zomsebenzi kaMoya futhi bafinyelele ekwazini uNkulunkulu wokoqobo uqobo. Empeleni, uma uNkulunkulu ephelelisa abantu futhi ebazuza, ubenza ukuba bazi imisebenzi kaNkulunkulu wokoqobo; usebenzisa umsebenzi kaNkulunkulu wokoqobo ukubonisa abantu ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu, futhi nokubakhombisa ukuthi uMoya kaNkulunkulu usuvelile phambi kwabantu. Lapho abantu bezuzwa nguNkulunkulu, futhi bepheleliswa nguNkulunkulu, ukuvezwa kukaNkulunkulu wokoqobo kuyabanqoba, amazwi kaNkulunkulu wokoqobo asebaguqulile, futhi ubanika ukuphila Kwakhe ngaphakathi, abagcwalise ngalokhu ayikho (kungaba yilokhu ayikho ebuntwini Bakhe noma ayikho ebunkulunkulwini), ebagcwalisa ngengqikithi yamazwi Akhe, futhi enza abantu ukuba baphile ngokwamazwi Akhe. Uma uNkulunkulu ezuza abantu, ukwenza lokhu ikakhulu esebenzisa amazwi kanye nokukhuluma kukaNkulunkulu wokoqobo ukuze abhekane nokuntuleka kubantu, nokwahlulela kanye nokwembula isimo sabo sokuhlubuka, ebenza ukuba bazuze lokhu abakudingayo, futhi ababonise ukuthi uNkulunkulu ufikile phakathi kwabantu. Okubaluleke kakhulu, umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu wokoqobo, usindisa abantu bonke ethonyeni likaSathane, ubasusa ezweni lokungcola, futhi axoshe isimo sabo esikhohlakele. Ukubaluleka okukhulu kakhulu kokuzuzwa nguNkulunkulu wokoqobo ukuthi ukwazi ukuthatha uNkulunkulu wokoqobo njengesibonelo, njengesifanekiso, futhi nokuphila ubuntu obujwayelekile, ukwazi ukwenza njengokwamazwi kanye nezidingo zikaNkulunkulu wokoqobo, ngaphandle kokuphambuka nakancane noma ukusuka, ukwenza njengalokhu esho, futhi ukwazi ukufeza noma yini ayicelayo. Ngale ndlela, uyobe usuzuziwe nguNkulunkulu. Uma uzuzwe uNkulunkulu, awubi nje nomsebenzi kaMoya oNgcwele; okubalulekile, ukuthi uyakwazi ukuphila ngokwezidingo zikaNkulunkulu wokoqobo. Ukuba nomsebenzi kaMoya oNgcwele nje, akusho ukuthi unokuphila. Okusemqoka ukuthi uyakwazi yini ukwenza ngokwezidingo zikaNkulunkulu wokoqobo azifuna kuwe, ezisho ukuthi uyakwazi yini ukuzuzwa uNkulunkulu. Lezi zinto ziyincazelo enkulu yomsebenzi kaNkulunkulu wokoqobo enyameni. Okusho ukuthi, uNkulunkulu uzuza iqembu labantu ngokuthi ngeqiniso nangempela abonakale enyameni ecacile futhi ephila, ebonwa abantu, enza umsebenzi kaMoya enyameni ngempela, futhi ngokuba enze njengesibonelo sabantu enyameni. Injongo yokufika kukaNkulunkulu enyameni ikakhulukazi, ukwenza ukuba abantu babone imisebenzi yangempela kaNkulunkulu, ukunikeza isiqu uMoya ongenasimo enyameni, kanye nokuvumela abantu ukuba bambone futhi bamthinte. Ngale ndlela, labo abapheleliswe Nguye bazophila ubuyena, bazozuzwa Nguye, futhi babe ngabenhliziyo Yakhe. Ukuba uNkulunkulu wayekhulume ezulwini kuphela, futhi wangeza ngempela emhlabeni, abantu bebezolokhu bengakwazi ukumazi uNkulunkulu, bebezokwazi kuphela ukushumayela imisebenzi kaNkulunkulu besebenzisa okucatshangiwe okungenalutho, futhi bebengeke babe namazwi kaNkulunkulu njengeqiniso. Injongo kaNkulunkulu ngokuza emhlabeni ukwenza njengesibonelo kanye nesifanekiso salabo abazozuzwa uNkulunkulu; kungale ndlela kuphela lapho abantu bengazi khona uNkulunkulu ngempela, futhi bamthinte uNkulunkulu, futhi bambone, kulapho kuphela bengakwazi ukuzuzwa ngeqiniso uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 136)

Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uhlanganisa izingxenye ezimbili. Okokuqala nje, lapho eba inyama, abantu abazange bamkholwe noma bamazi, futhi bambethela esiphambanweni uJesu. Okwesibili futhi, abantu abazange bamkholwe, abazange bamazi futhi baphinda bambethela uKristu esiphambanweni. Ingabe umuntu akasona isitha sikaNkulunkulu? Uma umuntu engamazi uNkulunkulu, angaba kanjani umngani Wakhe? Futhi kungamfanela kanjani ukufakaza ngoNkulunkulu? Akuwona amanga ayinkohliso konke ukukhuluma ngokuthanda uNkulunkulu, ukukhonza uNkulunkulu, ukudumisa uNkulunkulu? Uma uzinikela ezintweni ezingenangqondo, ezingenakwenzeka, ingabe awusebenzeli ize? Ungaba kanjani umngani noNkulunkulu uma ungazi ukuthi ungubani uNkulunkulu? Ingabe lokho akuyona into engaqondakali noma engekho ngokoqobo? Ingabe akukhohlisi? Umuntu onjalo angaba kanjani umngani kaNkulunkulu? Yini ebalulekile ngempela ngokuba umngani kaNkulunkulu? Ungaba yini umngani woMoya kaNkulunkulu? Ingabe uyawubona ukuthi mkhulu futhi ubabazeka kangakanani uMoya? Ukuze ube umngani kaNkulunkulu ongabonakali nongathinteki—ingabe lokho akuyona into engaqondakali nengekho ngokoqobo? Yini ebaluleke ngempela ngalokho? Ingabe konke lokho akuwona amanga aluhlaza? Okuyona nto oyifunayo ukuba umngani kaNkulunkulu, kodwa eqinisweni uyinja kaSathane ngoba awumazi uNkulunkulu, ufuna “uNkulunkulu ongeke wazo zonke izinto,” ongabonakali, ongathinteki nowendlela obheka ngayo izinto. Ngomqondo obazi, lowo “Nkulunkulu” uSathane futhi uma sikhuluma okuyiqiniso, uwena uqobo. Ufuna ukuzithanda wena kodwa ube uthi ufuna ukuba umngani kaNkulunkulu—ingabe lokho akukhona ukungamhloniphi uNkulunkulu? Yiziphi izinzuzo zokufuna izinto ezinjalo? Uma uMoya kaNkulunkulu ungabi yinyama, lokho kuyosho ukuthi isiqu sikaNkulunkulu asibonakali, uMoya wokuphila ongabonakali, ongenasimo, onhlakanhlaka wento engathinteki futhi engabonakali, nomuntu angeke akwazi ukuya kuyo nengaqondakali. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe nobungani obuseduze noMoya omangalisa, nongaqondakali njengalona? Akulona yini ihlaya lokhu? Ukucabanga okungenangqondo kanjalo akusebenzi. Umuntu odaliwe kungokwemvelo ukuba abe nezinhlobo ezihlukahlukene zoMoya kaNkulunkulu, ngakho kwenzeka kanjani ukuba bakwazi ukusondelana? Ukube uMoya kaNkulunkulu awubanga senyameni, futhi ukube akazehlisanga waba umuntu, umuntu odaliwe ubengeke akwazi ukuba umngani Wakhe futhi ngaphandle kwalabo abakholelwa ukuhlonipha uNkulunkulu abangase bathole ithuba lokuba ngabasondelene noNkulunkulu ngemva kokuba imiphefumulo yabo isingene ezulwini, abantu abaningi bangahluleka ukuba abangani boMoya kaNkulunkulu. Uma umuntu efuna ukuba umngani kaNkulunkulu osezulwini ngaphansi kwesiqondiso sikaNkulunkulu osesimweni somuntu, akasiye yini umuntu oyisiwula esimangalisayo somuntu ongaphili? Umuntu umane elandela “ukwethembeka” kuNkulunkulu ongabonakali, akamnaki nakancane uNkulunkulu obonakalayo ngoba kulula ukufuna uNkulunkulu ongabonakali—umuntu angenza ngendlela ayithandayo. Kodwa ukufuna uNkulunkulu obonakalayo akulula neze. Umuntu ofuna uNkulunkulu oyinqaba nakanjani akakwazi ukuthola uNkulunkulu, ngoba izinto ezingacacile nezingachazeki zonke ziye zacatshangwa umuntu, akulula ukuba umuntu azithole. Ukube uNkulunkulu oweza phakathi kwenu wayenguNkulunkulu ozazisayo nophakeme eningakwazi ukufinyelela Kuye, beningayibamba kanjani intando Yakhe? Beningamazi futhi nimqonde kanjani uNkulunkulu? Ukube wenza umsebenzi Wakhe kuphela, engenakuxhumana nomuntu ngokujwayelekile, noma engenabuntu obujwayelekile futhi engafinyeleleki kubantu abafayo, ngakho, ngisho noma kuthiwa unenzele umsebenzi omningi kodwa anikaze nixhumane Naye futhi anikaze nimbone, ngakho beningamazi kanjani? Uma bekungekhona okwale nyama eyenziwe yaba nobuntu obujwayelekile, umuntu ubengeke akwazi ukumazi uNkulunkulu; kuphela kungenxa yokuthi uNkulunkulu usemzimbeni womuntu okwenze umuntu akwazi ukusondelana noNkulunkulu osenyameni. Umuntu uba umngani kaNkulunkulu ngenxa yokuthi uxhumane Naye, umuntu usehlala Naye futhi ahambe Naye, ngakho kancane kancane uya emazi kangcono. Uma bekungenjalo, ukufuna komuntu bekungeke yini kube yize? Lokhu kusho ukuthi, akuwona wodwa umsebenzi kaNkulunkulu owenza umuntu akwazi ukuba umngani kaNkulunkulu, kodwa kungenxa yokuba ngokoqobo nangokuba uNkulunkulu abe semzimbeni ojwayelekile. Kungenxa yokuthi uNkulunkulu ube yinyama okwenza umuntu athole ithuba lokwenza umsebenzi wakhe nethuba lokudumisa uNkulunkulu. Ingabe leli akulona iqiniso elicace kakhulu nelingokoqobo? Manje, ingabe usafisa ukuba umngani noNkulunkulu osezulwini? Kuyoba lapho uNkulunkulu ezithoba kuze kube sezingeni elithile kuphela, okusho ukuthi lapho uNkulunkulu eba senyameni, lapho umuntu engaba khona umngani nesethenjwa Sakhe. UNkulunkulu unguMoya: Kwenzeka kanjani ukuba umuntu akufanelekele ukuba umngani nalo Moya, ophakeme kangaka nobabazekayo? Yilapho kuphela uMoya kaNkulunkulu wehla uba yinyama, uba yisidalwa ngaphandle esibukeka njengomuntu, lapho umuntu angakwazi ukuqonda intando Yakhe futhi azuzwe Nguye. UNkulunkulu ukhuluma aphinde asebenze enyameni, ajabule nabanye, adabuke futhi abhekane nezinsizi zomuntu, aphile emhlabeni ofanayo nalo umuntu aphila kuwo, avikele umuntu, amqondise, kulokhu uhlanza umuntu, emvumela ukuba athole insindiso Yakhe kanye nesibusiso. Uma umuntu esezithole zonke lezi zinto, uyiqonda nakangcono intando kaNkulunkulu, futhi yilapho kuphela angaba khona umngani kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungokoqobo. Uma uNkulunkulu engaqondakali futhi engabonakali kumuntu, umuntu angaba kanjani umngani Wakhe? Ingabe lena akuyona imfundiso engenalutho?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 137)

Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, wenza umsebenzi Wakhe phakathi kobuNkulunkulu kuphela. Yilokho uMoya wasezulwini akubeke kuNkulunkulu osesimweni somuntu. Lapho efika, uya kokhuluma yonke indawo kuphela, ukuze ezwakalise amazwi Akhe ngezindlela ezehlukene futhi ngokubona okwehlukene. Ikakhulu uthatha ukuhlinzeka umuntu kanye nokufundisa umuntu njengemigomo Yakhe kanye nesimiso sokusebenza, futhi akazikhathazi ngezinto ezinjengobudlelwane babantu noma imininingwane ngezimpilo zabantu. Inkonzo Yakhe enkulu ukukhulumela uMoya. Lapho uMoya kaNkulunkulu ubonakala ngokuphathekayo enyameni, unika umuntu ukuphila kuphela futhi udedela iqiniso. Akangeni ezindabeni zomuntu, okuwukuthi, akazibandakanyi emsebenzini wabantu. Abantu abakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu, futhi uNkulunkulu akazibandakanyi emsebenzini wabantu. Kuyo yonke iminyaka selokhu uNkulunkulu afika kulo mhlaba ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, yilokhu ewenza ngabantu. Kodwa laba bantu abakwazi ukuthathwa ngokuthi banguNkulunkulu osesimweni sesintu, bangathathwa njengabantu abasetshenziswa uNkulunkulu kuphela. Kodwa uNkulunkulu wanamuhla angakhuluma ngqo ngasohlangothini lobuNkulunkulu, athumele iphimbo likaMoya, futhi asebenze egameni likaMoya. Bonke labo bantu uNkulunkulu abasebenzisile eminyakeni nabo kanjalo bayizibonelo zokusebenza koMoya kaNkulunkulu emzimbeni wenyama, ngakho kungani bengabizwa ngoNkulunkulu? Kodwa uNkulunkulu wanamuhla futhi unguNkulunkulu kaMoya osebenza ngqo esenyameni, futhi uJesu naye wayengumoya kaNkulunkulu esebenza esenyameni; laba bobabili baziwa ngokuthi uNkulunkulu. Pho uyini umehluko? Kuyo yonke iminyaka eyedlule, abantu abasetshenziswe uNkulunkulu bonke bayakwazi ukucabanga ngendlela ejwayelekile. Bonke bayazazi izimiso zokuziphatha kwabantu. Banemiqondo yabantu ejwayelekile futhi banakho konke abantu abajwayelekile okumele babe nakho. Iningi labo linamathalente amangalisayo kanye nobuhlakani bokuzalwa. Ngokusebenza kulaba bantu, uMoya kaNkulunkulu usebenzisa amathalente abo, okuyizipho abaziphiwe uNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu usebenzisa amathalente abo, usebenzisa amandla abo ukusebenzela uNkulunkulu. Nokho ingqikithi kaNkulunkulu ayinayo imibono futhi ayinayo imicabango, ayidungiwe yizinhloso zabantu, futhi ayinakho lokhu abantu abavamile abanakho. Lokho kusho ukuthi, akaziqondi nezimiso zokuziphatha kwabantu. Kunjalo uma uNkulunkulu wanamuhla eza emhlabeni. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe awadungiwe yizinhloso zomuntu noma umcabango womuntu, kodwa kungukuvezwa okuqondile kwezinhloso zikaMoya, futhi usebenza ngokuqondile egameni likaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi uMoya ukhuluma ngokuqondile, okungukuthi, ubunkulunkulu benza umsebenzi ngokuqondile, ngaphandele kokuwuxuba nakancane nezinhloso zomuntu. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu osesimweni somuntu uqukethe ubunkulunkulu ngokuqondile, akanawo umcabango noma imiqondo yomuntu futhi akasiqondi isimiso sokuziphatha komuntu. Ukuba bekusebenza ubuNkulunkulu kuphela (okusho ukuthi ukuba nguNkulunkulu uqobo kuphela obesebenza), umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke wenzeke emhlabeni. Ngakho uma uNkulunkulu eza emhlabeni, kufanele abe nabantu abambalwa abasebenzisayo ukuze basebenze phakathi kwabantu ngokuhlanganisa nomsebenzi uNkulunkulu awenza ebunkulunkulwini. Ngamanye amazwi, usebenzisa umsebenzi womuntu ukwesekela umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu. Kungenjalo, bekungeke kube khona ndlela yokuthi umuntu athintane ngqo nomsebenzi wobunkulunkulu. Kwakunjalo kuJesu nabafundi Bakhe. Ngesikhathi Sakhe emhlabeni uJesu wachitha imithetho emidala wasungula imiyalelo emisha. Futhi wakhuluma amazwi amaningi. Konke lokhu kwenziwa ngobunkulunkulu. Abanye, njengoPetru, uPawulu noJohane, babeka imisebenzi yabo eyalandela esisekelweni samazwi kaJesu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wayethula umsebenzi Wakhe kuleso sikhathi, engenisa ukuqala kweNkathi Yomusa; okungukuthi, waletha inkathi entsha, echitha endala futhi wagcwalisa amazwi athi “UNkulunkulu Uyisiqalo Nesiphetho”. Ngamanye amazwi, umuntu kumele enze umsebenzi womuntu esisekelweni somsebenzi wobunkulunkulu. Ngemva kokuba uJesu esho yonke into okwakumele ayisho futhi eseqede umsebenzi Wakhe emhlabeni, wasuka kumuntu. Emva kwalokhu, bonke abantu, ekusebenzeni, benza ngokwezimiso ezavezwa emazwini Akhe, futhi benza ngamaqiniso awakhuluma. Bonke laba kwakungabantu ababesebenzela uJesu. Ukuba kwakunguJesu yedwa owayenza umsebenzi noma ngabe wayekhulume amazwi amaningi kangakanani, abantu babeyoqhubeka bangakwazi ukuxhumana namazwi Akhe, ngoba wayesebenza ngobunkulunkulu futhi ekwazi ukukhuluma amazwi obunkulunkulu kuphela, futhi wayengeke akwazi nhlobo ukuchaza izinto ngendlela eyayingenza abantu abajwayelekile baqonde amazwi Akhe. Ngakho kwakumele abe nabaphostoli kanye nabaphrofethi abeza emva Kwakhe ukwesekela umsebenzi Wakhe. Lokhu kuyisimiso sendlela uNkulunkulu osesimweni somuntu enza ngayo umsebenzi Wakhe—ngokusebenzisa inyama yomuntu ukuze akhulume futhi asebenze ukuze aqede umsebenzi wobunkulunkulu, bese esebenzisa abantu abambalwa, noma mhlawumbe abaningi abafuna inhliziyo kaNkulunkulu uqobo ukuze beseke umsebenzi kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa abantu abafuna inhliziyo Yakhe ukuba benze umsebenzi wokwelusa nokuchelela esintwini ukuze abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo bangene ebunjalweni beqiniso.

Uma, ekubeni senyameni, uNkulunkulu enza umsebenzi wobunkulunkulu ngaphandle kokuba nabanye abantu abambalwa abalandela inhliziyo kaNkulunkulu abasebenzisana Naye, umuntu ngeke aze akwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu noma akwazi ukuxhumana noNkulunkulu. UNkulunkulu kumele asebenzise abantu abajwayelekile abafuna inhliziyo Yakhe ukuze baqede lo msebenzi, ukuze banakekele futhi beluse amabandla, ukuze bafike ezingeni lapho ukucabanga komuntu, umqondo wakhe, kukwazi ukuzakhela isithombe. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu usebenzisa isibalo esincane sabantu abafuna inhliziyo Yakhe ukuze “bahumushe” umsebenzi awenzayo phakathi kobunkulunkulu Bakhe, ukuze uvuleke, okungukuthi, ukuguqulela ulimi lobunkulunkulu olimini lwabantu, ukuze abantu bonke bakwazi ukuluqonda, futhi baluzwe lonke. Ukuba uNkulunkulu akenzanga njalo, akekho owayeyoqonda ulimi lobunkulunkulu, ngoba abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu, kukho konke, bambalwa, futhi ukwazi komuntu ukuqonda uNkulunkulu kuntekenteke. Yingakho uNkulunkulu ekhetha le ndlela kuphela lapho esebenza esenyameni. Ukuba bekunomsebenzi wobunkulunkulu kuphela, bekungeke kube nendlela umuntu abezokwazi ngayo noma axhumane noNkulunkulu ngoba umuntu akaluqondi ulimi lukaNkulunkulu. Umuntu ukwazi ukuqonda lolu limi ngokusebenzisa abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu abacacisa amazwi Akhe. Nokho, ukuba bekunabantu abanje kuphela abasebenza phakathi kwabantu, lokho bekuzosekela impilo yomuntu ejwayelekile kuphela; bekungeke kukwazi ukuguqula isimo somuntu. Umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke-ke ube nesiqalo esisha; bekuzoba namaculo afanayo amadala, izinkulumo ezindala ezingaqukethe lutho olusha. Kungokusebenza kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, osho konke lokho okudinga ukushiwo futhi owenza lokho okudinga ukwenziwa ngesikhathi sokuba senyameni Kwakhe, okuthi emva kwakho abantu basebenze futhi bezwe ngokwamazwi Akhe, kungale ndlela kuphela lapho kuyoguquka khona isimo sempilo yabo bese bekwazi ukuhambisana nezikhathi. Lowo osebenza ngobunkulunkulu umele uNkulunkulu, kuthi labo abasebenza ngokomuntu bangabantu abasetshenziswa uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wehlukile kubantu abasetshenziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu kodwa abantu abasetshenziswa uNkulunkulu abakwazi. Ekuqaleni kwenkathi ngayinye, uMoya kaNkulunkulu ngokwawo wethula isikhathi esisha futhi adlulisele umuntu esiqalweni esisha. Uma eseqede ukukhuluma, lokhu kuveza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini sewenziwe. Emva kwalokho, bonke abantu balandela ukuhola kwalabo abasetshenziswa uNkulunkulu ukuze bangene ezimweni zabo zokuphila. Kanjalo, lesi yisigaba futhi lapho uNkulunkulu edlulisela umuntu enkathini entsha futhi enika khona wonke umuntu isiqalo esisha. Ngalokhu, umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyaphela.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 138)

UNkulunkulu ubuyela emhlabeni engezele ukuzophelelisa ubuntu Bakhe obejwayelekile. Akafikeli ukuzokwenza umsebenzi wobuntu obujwayelekile, kodwa uzela ukuzokwenza umsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini obejwayelekile. Lokho uNkulunkulu akukhulumayo ngobuntu obujwayelekile akusikho lokho okucatshangwa umuntu. Umuntu uchaza “ubuntu obejwayelekile” ngokuba nenkosikazi, noma umyeni, namadodana kanye namadodakazi. Lokhu kuwubufakazi bokuthi lo ngumuntu ojwayelekile. Kodwa uNkulunkulu akakuboni ngale ndlela. Ubona ubuntu obejwayelekile njengalokho okunemicabango ejwayelekile yomuntu, ukuphila kobuntu okwejwayelekile, nokuzalwa abantu abejwayelekile. Kodwa ukujwayeleka Kwakhe akubandakanyi ukuba nenkosikazi, noma umyeni, kanye nezingane ngendlela umuntu akhuluma ngayo ngokwejwayeleka. Kusho ukuthi, kumuntu, ubuntu obejwayelekile uNkulunkulu akhuluma ngabo yilokhu umuntu angakuthatha ngokuthi ukungabi nobuntu, obucishe buntule imizwa futhi obubonakala beswele izidingo zenyama, njengoJesu, owayenengaphandle lomuntu ojwayelekile futhi ethathe ukubukeka komuntu ojwayelekile, kodwa empeleni engenakho ngokuphelele lokho umuntu ojwayelekile okumele abe nakho. Kulokhu kuyabonakala ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ayiqukethe konke okobuntu obejwayelekile, kodwa ingxenye nje yezinto okumele abantu babe nazo, ukuze besekele izindlela ezejwayelekile zokuphila kwabantu kanye nokusekela amandla ejwayelekile okucabanga kwabantu. Kodwa lezi zinto azihlangene nhlobo nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ziyilokho uNkulunkulu osesimweni somuntu okumele abe nakho. Kukhona labo abathi, nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu kungathiwa unakho konke umuntu anakho uma kuphela enenkosikazi, amadodana namadodakazi, umndeni. Ngaphandle kwalezi zinto, bathi, akasiye umuntu ojwayelekile. Ngiyakubuza-ke, “Ngabe uNkulunkulu unayo inkosikazi? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu abe nomyeni? UNkulunkulu angakwazi ukuba nezingane?” Ngabe lokhu akuwona amanga? Nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu akakwazi ukuqhuma emfantwini phakathi kwamadwala noma aqathake esibhakabhakeni. Angazalwa emndenini wabantu abajwayelekile kuphela. Yingakho enabazali kanye nodadewabo. Lokhu kuyizinto ubuntu obejwayelekile bukaNkulunkulu osesimweni somuntu okumele bube nazo. Kwakunjalo kuJesu. UJesu wayenobaba nomama, odadewabo kanye nabafowabo. Konke lokho kwakujwayelekile. Kodwa ukuba wayenenkosikazi namadodana namadodakazi, ngabe okwakhe kwakungeke kube ubuntu obujwayelekile obabuhloswe ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu abe nabo. Ukuba kwakunjalo, wayengeke akwazi ukusebenza egameni lobunkulunkulu. Kwakungenxa kanye yokuthi wayengenayo inkosikazi noma izingane, kodwa wayezalwa abantu abajwayelekile emndenini ojwayelekile, ukuthi wayekwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu. Ukucacisa kakhudlwana, lokhu uNkulunkulu akuthatha njengomuntu ojwayelekile ngumuntu ozalwe emndenini ojwayelekile. Ngumuntu onjalo kuphela ofanelwe ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Uma, kwelinye icala, umuntu ubenenkosikazi, izingane, noma umyeni, lowo muntu ubengeke aze akwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu, ngoba angaba nobuntu obejwayelekile kuphela obudingwa abantu kodwa okungesibo ubuntu obujwayelekile uNkulunkulu abudingayo. Lokho uNkulunkulu athi kuyikho kanye nalokho abantu abakuqondayo kuvame ukwehlukana kakhulu. Kulesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu kuningi okuphambanayo futhi okwehlukayo emicabangweni yabantu. Umuntu angathi lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu siqukethe kuphela ubunkulunkulu busebenza mathupha, bese ubuntu bubamba iqhaza lokwesekela. Ngoba uNkulunkulu uza emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe uqobo kunokuba ayekele umuntu ukuthi awenze, uzenza abe sesimweni somuntu enyameni (kumuntu ongaphelele, ojwayelekile) ukuze enze umsebenzi Wakhe. Usebenzisa lesi simo somuntu ukwethulela isintu inkathi entsha, ukutshela isintu ngesigaba esilandelayo emsebenzini Wakhe, nokubacela ukuba benze ngokwendlela echazwe emazwini Akhe. Ngalokhu, uNkulunkulu uphetha umsebenzi Wakhe esenyameni, futhi sekuseduze asuke esintwini, angabe esahlala enyameni yobuntu obujwayelekile, kunalokho aqhele kumuntu ukuze aqhubekele kwenye ingxenye yomsebenzi Wakhe. Ube, esebenzisa abantu abafuna inhliziyo yakhe, eseqhuba umsebenzi Wakhe phakathi kwaleli qembu labantu, kodwa ebuntwini babo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 139)

UNkulunkulu osesimweni somuntu angehlale kumuntu kuze kube phakade ngoba uNkulunkulu unomsebenzi omningi kakhulu okumele awenze. Akakwazi ukuboshelwa enyameni; kumele ayilahle inyama ukuze enze umsebenzi okudingeka ukuthi awenze, yize enza lowo msebenzi emfanekisweni wenyama. Uma uNkulunkulu eza emhlabeni, akalindi aze afinyelele esimweni umuntu ojwayelekile okufanee asithole ngaphambi kokufa nokushiya isintu. Noma ingaba ndala kangakanani inyama Yakhe, uma umsebenzi Wakhe sewuqediwe, uyahamba ashiye umuntu. Akukho nto okuthiwa yiminyaka yobudala Kuye, akazibali izinsuku Zakhe ngokweminyaka yomuntu yokuphila; kunalokho uphetha ukuphila Kwakhe enyameni ngokwezigaba zomsebenzi Wakhe. Kungaba khona labo abacabanga ukuthi uNkulunkulu, ekubeni yinyama, kumele akhule afike esigabeni esithile, abe mdala, aguge, futhi ahambe uma umzimba wakhe sewehluleka. Lokhu kungumcabango womuntu; uNkulunkulu akasebenzi kanjalo. Uba senyameni ukuze enze umsebenzi okumele awenze, hhayi ukuphila impilo yomuntu ojwayelekile yokuzalwa abazali, akhule, akhe umndeni futhi aqale umsebenzi, abe nezingane, noma abhekane nezinkinga zempilo—konke okwenziwa ngumuntu ojwayelekile. Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, lokhu kuwuMoya kaNkulunkulu embatha inyama, eba senyameni, kodwa uNkulunkulu akayiphili impilo yomuntu owejwayelekile. Ufika kuphela ukuze afeze ingxenye eyodwa ohlelweni Lwakhe lokuphatha. Emuva kwalokho uyosishiya isintu. Lapho engena enyameni, uMoya kaNkulunkulu aakabuphelelisi ubuntu obujwayelekile benyama. Kunalokho, ngesikhathi esinqunywe uNkulunkulu ngaphambilini, ubunkulunkulu benza umsebenzi ngokuqondile. Emva kokwenza konke adinga ukuthi akwenze kanye nokuphetha ngokugcwele inkonzo Yakhe, umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu kulesi sigaba sewenziwe, okuyisikhathi sokuphela kwempilo kaNkulunkulu osesimweni somuntu, noma ngabe umzimba wenyama Yakhe usubuphile bonke ubude bempilo noma cha. Okusho ukuthi, noma umzimba wenyama ufika kusiphi isigaba, noma uphila isikhathi eside kangakanani emhlabeni, konke kunqunywa ngumsebenzi kaMoya. Akuhlangene nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ake sithathe uJesu njengesibonelo. Waphila enyameni iminyaka engamashumi amathathu nesigamu. Ngokwesikhathi sokuphila komzimba womuntu, kwakungamele afe kuleyo minyaka, futhi kwakungamele ahambe. Kodwa uMoya kaNkulunkulu wawungakhathazekile ngalokho. Kwathi uma umsebenzi Wakhe sewuphelile, kulelo qophelo umzimba wathathwa, wanyamalala kanye noMoya. Lokhu kungumgomo wendlela yokusebenza kukaNkulunkulu enyameni. Ngakho, uma kukhulunywa ngokuqinisa, ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu abubalulekile kakhulu. Ukuphinda futhi, akafiki emhlabeni ukuze aphile impilo yomuntu ojwayelekile. Akaqali ngokusungula ubuntu bempilo ejwayelekile bese eqala ukusebenza. Kunalokho, inqobo uma ezalwe emndenini wabantu ojwayelekile, uyakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu, ongangcolisiwe yizinhloso zomuntu, ongewona owenyama, nakanjani ongalandeli izindlela zomphakathi noma ubandakanye imicabango noma imibono yomuntu, futhi, ngaphezu kwalokho, lokho akubandakanyi izinkolelo zomuntu zokuphila. Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlose ukuwenza, kanye nokubaluleka okungokoqobo kokuba senyameni Kwakhe. UNkulunkulu uba senyameni kakhulu ukuze enze isigaba somsebenzi okudingeka ukuthi wenziwe enyameni, ngaphandle kokwenza ezinye izinqubo ezingenamsebenzi, futhi, izinto umuntu ajwayelekile adlula kuzo, akanazo. Umsebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu adinga ukuwenza awubandakanyi ukubhekana nezimo zomuntu ojwayelekile. Ngakho, uNkulunkulu ungena enyameni ukuze afeze umsebenzi okumele awufeze esenyameni. Konke okunye akuhlangene Naye. Akabhekani nazo zonke lezo zinqubo ezingasho lutho. Uma umsebenzi Wakhe sewuphelile, ukubaluleka kokuba senyameni kwakhe nakho kuyaphela. Ukuqeda lesi sigaba kusho ukuthi umsebenzi okudingeka ukuthi awenze enyameni sewuphelile, nenkonzo yenyama Yakhe isiphelile. Kodwa ngeke ahlale enza umsebenzi wenyama unomphelo. Kumele aye kosebenza kwenye indawo, endaweni engaphandle kwenyama. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi Wakhe ungaphetheka ngokugcwele, futhi wandiswe kangcono. UNkulunkulu usebenza ngokohlelo lwakhe lokuqala. Umsebenzi okudingeka ukuthi awenze kanye nomsebenzi asewuphethile, uwazi ngokucace njengentende yesandla Sakhe. UNkulunkulu uhola wonke umuntu endleleni enqunywe Nguye ngaphambilini. Akekho umuntu ongakubalekela lokhu. Yilabo kuphela abalandela ukuqondisa kukaMoya kaNkulunkulu abazokwazi ukungena ekuphumuleni. Kungaba ukuthi, emsebenzini wesikhathi esizayo, ngeke kube uNkulunkulu ekukhuluma esenyameni ukuze aqondise umuntu, kodwa uMoya onesimo esithintekayo oqondisa impilo yomuntu. Yilapho kuphela lapho umuntu eyokwazi ukuthinta uNkulunkulu ngokugcwele, abone uNkulunkulu, futhi akwazi ukungena ngokugcwele empilweni yangempela edingwa uNkulunkulu, ukuze apheleliswe uNkulunkulu ongokoqobo. Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu ahlose ukuwufeza, lokho akuhlela kudala. Kulokhu, kumele nonke nibone indlela okufanele niyithathe!

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 140)

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa futhi uyinyama embethwe uNkulunkulu njengoba ephethe futhi eqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalise isimo sikaNkulunkulu, imele uNkulunkulu kahle, futhi inike umuntu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abazenza uKristu bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo. Ngale ndlela, uma ufisa ngempela ukuthola indlela yokuphila, kumele uqale uvume ukuthi uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunika umuntu indlela yokuphila ngokuza Kwakhe emhlabeni, futhi kumele uyazise ngezinsuku zokugcina ukuthi uza emhlabeni ukuzonika umuntu indlela yokuphila. Lokhu akusiyo into yakudala; yenzeka njengamanje.

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngamagama, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi ayizibhidi okulokhu kubanjelelwe kuwo izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni amagama angakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.

Labo abafisa ukuthola ukuphila ngaphandle kokwethembela eqinisweni elikhulunywa uKristu bangabantu abangenangqondo kakhulu emhlabeni, futhi bayilabo abangayamukeli indlela yokuphila elethwe uKristu abalibele ukuphupha. Ngakho ngithi uma abantu bengamamukeli uKristu wezinsuku zokugcina bayohlala bezondwa uNkulunkulu unomphela. UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukwahlulela Ezinsukwini Zokugcina

Okulandelayo: Ukwazi Umsebenzi KaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp