Izigaba Ezintathu Zomsebenzi

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 1)

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi Yombuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu—noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwami ngibe ngembula ububi bukaSathane obungabekezeleki. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha sesintu, ophansi kunakho konke, omubi, nokwehlukanisa ngokunesiqiniseko phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nobuphansi. Ngale ndlela, isintu esingenalwazi sizokwazi ukungifakazela ukuthi akuyimina owonakalisa isintu, futhi Yimi kuphela—iNkosi yendalo—ongasindisa isintu, engingabeka phezu komuntu izinto zokubathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye nje wezidalwa engazidala, wabuye wangiphendukela. Uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukene izigaba ezintathu ukuze kutholakale umphumela olandelayo: ukuvumela izidalwa Zami zibe ofakazi Bami, zazi intando Yami, zibone ukuthi ngiyiqiniso. Ngakho, esigabeni sokuqala somsebenzi Wami ohlelweni Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ngenza umsebenzi womthetho, okwakuwumsebenzi lapho uJehova ayehola khona abantu Bakhe. Isigaba sesibili saqala umsebenzi weNkathi yoMusa emizini yaseJudiya. UJesu umele wonke umsebenzi weNkathi yoMusa; waba senyameni wabethelwa esiphambanweni, waphinda wangenisa iNkathi yoMusa. Wabethelwa ukuze agcwalise umsebenzi wokuhlenga, ukuqeda iNkathi yoMthetho nokuqala iNkathi yoMusa, ngakho-ke wabe esebizwa “ngeNkosi Ephakeme,” “uMnikelo wesono,” “uMhlengi.” Ngakho umsebenzi kaJesu wehluka ngokuqukethweyo emsebenzini kaJehova, yize ngokwesimiso babefana. UJehova waqala iNkathi Yomthetho, esungula isizinda—umsuka—somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni, futhi ekhipha imithetho nemiyalelo. Lokhu ngokubili emsebenzini awenza, futhi kumele iNkathi Yomthetho. Umsebenzi uJesu awenza eNkathini yoMusa kwakungekhona ukukhipha imithetho, kodwa ukuyigcwalisa, ngalokho engenisa iNkathi yoMusa futhi eqeda iNkathi Yomthetho eyayisihlale iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Waba ngumqambi, owezela ukuqala iNkathi Yomusa, kodwa umongo womsebenzi Wakhe wawusekuhlengeni. Ngalokho-ke izinto azifeza zazikabili: ukuvula inkathi entsha, nokuqedela umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa Kwakhe, ahamba ngemva kwakho. Futhi kusuka lapho iNkathi Yomthetho yafika ekugcineni kwase kuqala iNkathi Yomusa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 2)

Iminyaka eyizi-6,000 yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ihlukaniswe ezigabeni ezintathu: iNkathi yoMthetho, iNkathi yoMusa kanye neNkathi yoMbuso. Le zigaba ezintathu zomsebenzi zonke ezokusindiswa kwesintu, okungukuthi, ezokusindiswa kwesintu esonakaliswe kakhulu nguSathane. Ngesikhathi esifanayo, kepha, ezokuthi uNkulunkulu alwe noSathane. Ngakho, njengoba umsebenzi wensindiso uhlukaniswe izigaba ezintathu, ngokunjalo impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu, futhi le zingxenye zombili zomsebenzi kaNkulunkulu zenzeka ngesikhathi esisodwa. Impi noSathane, empeleni, eyokusindiswa kwesintu, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wokusindiswa kwesintu akuyona into engaqedwa ngempumelelo esigabeni esisodwa, impi noSathane nayo ihlukaniswe ngezigaba nezinkathi, futhi nempi iliwa noSathane ngokuhambisana nezidingo zomuntu kanye nezinga lokonakaliswa kwakhe nguSathane. Mhlawumbe, ekucabangeni ngamehlo engqondo komuntu, ukholwa ukuthi kule mpi uNkulunkulu uzohloma izikhali abhekane noSathane, ngendlela efanayo namabutho amabili angalwa ngayo. Lokhu yinto kuphela engacatshangwa umqondo womuntu, futhi ingumbono ongaqondakali futhi ongacatshangisiwe kakhulu kabi, kepha yilokho umuntu akukholwayo. Futhi ngoba ngithi lapha indlela yensindiso yomuntu idlula empini noSathane, umuntu ucabanga ukuthi impi yenzeka kanje. Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okungukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane lithi imiphumela yawo itholakala ngezinyathelo zomsebenzi eziningi: ukuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi noSathane akukhona ukuhloma izikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okungukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Incazelo yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi noSathane iphethwe, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu. Isintu sasekuqaleni sasisezandleni zikaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokulingwa nguSathane nokonakaliswa, umuntu waboshwa nguSathane futhi wawela ezandleni zomubi. Ngakho, uSathane waba yinto okufanele yehlulwe emsebenzini wokuphatha kukaNkulunkulu. Ngoba uSathane wamngena umuntu, nangenxa yokuthi umuntu uwumsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, uma umuntu ezosindiswa, kufanele ahlwithwe ezandleni zikaSathane, okusho ukuthi umuntu kufanele abuyiswe emva kokuthunjwa nguSathane. Ngalokhu, uSathane kufanele anqotshwe ngezinguquko esimweni somuntu esidala, izinguquko ezibuyisela umqondo wakhe wokuqala, bese ngale ndlela, umuntu, obethunjiwe, ehlwithwa ezandleni zikaSathane. Uma umuntu ekhululiwe ethonyeni nokuboshwa nguSathane, uSathane uyojabhiswa, umuntu ekugcineni uyobuyiselwa emuva, futhi uSathane uyohlulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu usekhululiwe ethonyeni elimnyama likaSathane, umuntu uyoba impango yayo yonke lempi, futhi uSathane uyoba umenziwa oyojeziswa uma lempi seyiphelile, emuva kwalokho umsebenzi usuwonkana wokusindiswa komuntu uyobe usuqediwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 3)

UNkulunkulu akanabutha maqondana nezidalwa futhi Ufisa kuphela Ukuhlula uSathane. Wonke umsebenzi Wakhe-noma ngabe ukujezisa noma ukwahlulela-uqondiswe kuSathane; wenziwa ngenxa yokusindiswa komuntu, wonke ungenxa yokuhlula uSathane, futhi unenjongo eyodwa: ukulwa noSathane kuze kufike ekugcineni! Futhi uNkulunkulu akasoze aphumula ngaphambi kokuba Esenqobile uSathane! Uzophumula kuphela uma Esemhlulile uSathane. Ngoba wonke umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu uqondiswe kuSathane, futhi ngenxa yokuthi labo abonakaliswe nguSathane bonke bangaphansi kokuphathwa ngamandla kaSathane futhi bonke baphila ngaphansi kwamandla kaSathane, ngaphandle kokulwa noSathane nokuhlukana naye, uSathane ubengeke abakhulule laba bantu esandleni sakhe, futhi bebengeke bazuzeke. Uma bebengazuzwa, bekuzofakazela ukuthi uSathane akakahlulwa, ukuthi akakaqethulwa. Ngakho, ohlelweni lukaNkulunkulu lweminyaka eyizi-6,000 lokuphatha, esigabeni sokuqala Wenza umsebenzi womtheho, esigabeni sesibili Wenza umsebenzi weNkathi yoMusa, okungukuthi, umsebenzi wokubethelwa, futhi esigabeni sesithathu Wenza umsebenzi wokunqoba umuntu. Wonke lo msebenzi uqondiswe ezingeni uSathane onakalise ngalo isintu, konke kungenxa yokuhlula uSathane, futhi asikho nasinye isigaba ekungesona sokwehlula uSathane. Ingqikithi yomsebenzi weminyaka yizi-6,000 wokuphatha kukaNkulunkulu yimpi ebhekene nodrago omkhulu obomvu, kanti nomsebenzi wokuphatha isintu nawo ngumsebenzi wokwehlula uSathane, nomsebenzi wokulwa noSathane. UNkulunkulu uselwe iminyaka eyizi-6, 000, futhi ngokunjalo, wasebenza iminyaka ewu 6, 000, ukuze ekugcineni angenise umuntu embusweni omusha. Uma uSathane esenqotshiwe, umuntu uyokhululeka ngokuphelele. Akuyona indlela lapho uqonde khona umsebenzi kaNkulunkulu namhlanje? Lokhu kanye yindlela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uqonde khona: ukukhululeka nokukhululwa komuntu okuphelele, ukuze angabi ngaphansi kwanoma imiphi imigomo, noma avinjelwe noma ingaziphi izibopho nemikhawulo. Wonke lo msebenzi wenziwa ngokuhambisana nesiqu senu nangokuhambisana nezidingo zenu, okusho ukuthi niyahlinzekwa nganoma yini eningayifeza. Akukhona “ukuphushela idada othini,” ukuphoqelela noma yini phezu kwenu; kunalokho, wonke lo msebenzi wenziwa ngokuhambisana nezidingo zenu zangoqobo. Isigaba ngasinye somsebenzi sihambisana nezidingo kanye nezimfuneko zomuntu, futhi ngezokuhlula uSathane. Empeleni, ekuqaleni kwakungekho zithiyo phakathi koMdali nezidalwa Zakhe. Zonke zidalwa uSathane. Umuntu akasakwazi ukubona noma ukuthinta noma yini ngenxa yokuphazamisa kukaSathane nokukhohlakala kwakhe. Umuntu nguye ohlushwayo, nguye okhohlisiwe. Uma uSathane esehluliwe, izidalwa zizombona uMdali, noMdali uzobuka izidalwa futhi akwazi ukuzihola Yena uqobo. Lena yiyo kuphela impilo ekufanele umuntu abe nayo emhlabeni. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu esikakhulukazi owokwehlula uSathane, futhi uma uSathane esehluliwe, yonke into iyobe isixazululekile.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 4)

Umsebenzi walo lonke uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, wenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Isigaba sokuqala—ukudalwa komhlaba—kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi ukuba kwakungenziwanga, kwakungekho omunye owayengakwazi ukudala isintu; isigaba sesibili kwaba ukuhlengwa kwesintu sonke, nakho kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe; isigaba sesithathu sisobala: Kunesidingo esikhulu nakakhulu sokuba isiphetho sawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu senziwe nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe mathupha. Umsebenzi wokuhlenga, wokunqoba, wokuzuza kanye nokuphelelisa isintu sisonkana wonke wenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Uma ubengawenzanga lo msebenzi mathupha, ubunjalo Bakhe bebungeke bumelwe ngumuntu, noma umsebenzi wakhe wenziwe ngumuntu. Ukuze ehlule uSathane, ukuze azuze isintu, futhi ukuze anike umuntu impilo ejwayelekile emhlabeni, uhola umuntu mathupha futhi asebenze phakathi kwabantu mathupha; ngenxa yohlelo lwakhe lokuphatha lulonke, futhi ngenxa yomsebenzi wakhe wonke, kufanele awenze yena mathupha lomsebenzi. Uma umuntu ekholwa kuphela ukuthi uNkulunkulu weza ukubonwa nguye nokumjabulisa, izinkolelo ezinjalo azinasigqi, azisho lutho. Ulwazi lomuntu lukha phezulu kakhulu! Yingokuwenza Yena uqobo lwakhe kuphela indlela uNkulunkulu abengawenza lomsebenzi ngesineke nangokuphelele. Umuntu akakwazi ukuwenzela uNkulunkulu. Njengoba engenakho ubunjalo bukaNkulunkulu, noba ubukhona bakhe, akakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi noma ngabe umuntu ubewenza, bewungeke ube namphumela. Okokuqala uNkulunkulu athatha isimo sesintu, kwakungenxa yokuhlenga, ukuhlenga sonke isintu esonweni, ukwenza umuntu akwazi ukuba ahlanzeka nokuthethelelwa izono zakhe. Umsebenzi wokunqoba nawo wenziwa nguNkulunkulu mathupha phakathi kwabantu. Uma, kule sigaba, uNkulunkulu ubekhuluma iziprofetho kuphela, umprofethi noma umuntu onesiphiwo ubengatholakala ukuthatha indawo yakhe; uma isiprofetho kuphela ebesikhulunywa, umuntu ubengamela uNkulunkulu. Kepha uma umuntu ubengenza mathupha umsebenzi kaNkulunkulu uqobo lwakhe futhi ukuba ubengasebenza impilo yomuntu, ubengeke akwazi neze ukuwenza lomsebenzi. Kumele wenziwe mathupha nguNkulunkulu uqobo lwakhe: uNkulunkulu kufanele athathe isimo sesintu ukwenza lo msebenzi. ENkathini yezwi, uma isiprofetho kuphela besikhulunywa, umprofethi u-Isaya noma u-Elija ubengatholakala ukuwenza lo msebenzi, futhi besingeke sibe khona isidingo sokuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe awenze Yena mathupha. Ngenxa yokuthi umsebenzi owenziwe kulesi sigaba awukhona nje ukukhuluma ngesiphrofetho, futhi ngenxa yokuthi kubaluleke kakhulu, ukuthi umsebenzi wamazwi usetshenziselwe ukunqoba umuntu nokwehlula uSathane, lo msebenzi awunakwenziwa ngumuntu, futhi kufanele wenziwe mathupha nguNkulunkulu uqobo. ENkathini yoMthetho uJehova Wenza ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, emuva kwalokho Wakhuluma amazwi athile futhi wenza umsebenzi othile ngabaprofethi. Yingoba umuntu ubengawenza umsebenzi kaJehova, futhi iziboni zazikwazi ukubikezela izinto nokuhumusha amaphupho, zenzela Yena. Umsebenzi owenziwa ekuqaleni kwakungewona umsebenzi wokushintsha isimo somuntu ngqo, kuthi wawungahlangene nesono somuntu, futhi umuntu wayefanele ukugcina umthetho kuphela. Ngakho uJehova akazange athathe isimo sesintu futhi aziveze yena uqobo Lwakhe kumuntu; kunalokho Wakhuluma ngqo noMose nabanye, wabenza bakhuluma futhi basebenzela Yena, futhi wabenza ukuthi basebenze ngqo phakathi kwesintu. Isigaba sokuqala somsebenzi kaNkulunkulu kwabe kungukuhola umuntu. Kwabe kungukuqala kwempi noSathane, kodwa le mpi yayingakaqali ngokusemthethweni. Impi esemthethweni noSathane yaqala ngesikhathi uNkulunkulu ethatha isimo sesintu okokuqala, futhi isiqhubeke kwaze kwaba inamuhlanje. Isiwombe sokuqala salempi senzeka lapho uNkulunkulu othathe isimo sesintu ebethelwa esiphambanweni. Ukubethelwa kukaNkulunkulu othathe isimo sesintu kwehlula uSathane, kuthi kwabe kuyisigaba sokuqala sempi esinempulelo. Lapho uNkulunkulu othathe isimo sesintu eqala ngokuqondile ukusebenza impilo yomuntu, lokhu kwakuyisiqalo esisemthethweni somsebenzi wokuzuza umuntu, futhi ngenxa yokuthi lo kwakuwumsebenzi wokushintsha isimo somuntu esidala, kwakuwumsebenzi wokulwa noSathane. Isigaba somsebenzi esenziwe guJehova ekuqaleni kwakumane kungukuhola impilo yomuntu emhlabeni. Kwabe kungukuqala komsebenzi kaNkulunkulu, nakuba wawungakafaki impi, noma umsebenzi onzima, kwaba isisekelo somsebenzi wempi owawu seza. Emuva kwalokho, isigaba sesibili somsebenzi ngeNkathi yoMusa sasiphathelene nokushintsha isimo somuntu esidala, okusho ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wasebenza impilo yomuntu. Lokhu kwakudingeka kwenziwe nguNkulunkulu mathupha: kwakufuneka ukuthi uNkulunkulu mathupha athathe isimo sesintu, futhi uma ubengasithatha isimo sesintu, akekho ubengathatha indawo Yakhe kulesi sigaba somsebenzi, ngoba sasimele umsebenzi wokulwa ngqo noSathane. Uma umuntu ubenzele uNkulunkulu lo msebenzi, lapho umuntu esemile phambi kwaSathane, uSathane ubengeke athobe kuthi bekungenakwenzeka ukumehlula. Kwakudingeka kube uNkulunkulu ethathe isimo sesintu owayezofika amehlule, ngoba ingqikithi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu, kusenguNkulunkulu, useyimpilo yomuntu, futhi usenguMdali; noma kwenzekani, ubunjalo nengqikithi Yakhe ngeke kushintshe. Ngakho-ke, Wathatha isimo sesintu futhi wenza umsebenzi ukudala ukuzithoba okuphelele kukaSathane. Ngesikhathi sesigaba somsebenzi wasezinsukwini zokugcina, uma umuntu ubengenza lo msebenzi futhi uma ubengenziwa ukuthi akhulume amazwi ngqo, ubengeke akwazi ukuwakhuluma, futhi uma isiprofetho besishiwo, besingeke sikwazi ukunqoba umuntu. Ngokuthatha isimo sesintu, uNkulunkulu uyeza ukuzohlula uSathane nokudala ukuzithoba kwakhe okuphelele. Lapho ehlula uSathane ngokuphelele, futhi uyamzuza umuntu ngokuphelele, emuva kwalokhu lesi sigaba somsebenzi siyophela futhi impumelelo izuzwe. Ekuphatheni kukaNkulunkulu, umuntu akakwazi ukummela uNkulunkulu. Esikakhulukazi, umsebenzi wokuhola inkathi kanye nokuqalisa umsebenzi omusha udinga kakhulu impela ukwenziwa mathupha nguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ukunika abantu izambulo nokubahlinkeka ngesiprofetho kungenziwa ngumuntu, kodwa uma kuwumsebenzi okufanele wenziwe mathupha nguNkulunkulu, umsebenzi wempi phakathi kwaNkulunkulu uqobo Lwakhe kanye noSathane, ngakho lomsebenzi awukwazi ukwenziwa ngumuntu. Esigabeni sokuqala somsebenzi, lapho kwakungekho mpi noSathane, uJehova wahola abantu bakwa-Israyeli mathupha, esebenziza isiprofetho esasikhulunywa ngaba profethi. Emuva kwalokho, isigaba sesibili somsebenzi kwabe kungukulwa noSathane, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wathatha isimo sesintu, weza esenyameni, ukwenza lo msebenzi. Nanoma yini ephathelene nempi noSathane, futhi iphathelene nokuthatha isimo sesintu kukaNkulunkulu, okusho ukuthi lempi ngeke iliwe ngumuntu. Uma umuntu ubengalwa impi, ubengeke akwazi ukuhlula uSathane. Ubengaba kanjani namandla okulwa naye njengoba esengaphansi kwamandla akhe? Umuntu uphakathi nendawo: Uma uncika ngakuSathane, ungowaSathane, kodwa uma wenelisa uNkulunkulu ungoka Nkulunkulu. Uma umuntu ebengamela uNkulunkulu emsebenzini walempi, ubengakwazi? Uma ubekwenzile, ubengeke kube sewabhubha kudala? Ubengeke kube sewangena ezweni labafileyo kudala? Ngakho, umuntu akakwazi ukuthatha indawo kaNkulunkulu emsebenzini Wakhe, okungukuthi umuntu akanayo ingqikithi kaNkulunkulu, futhi uma ubengalwa noSathane bengeke akwazi ukumehlula. Umuntu angenza umsebenzi othile kuphela; angabazuza abantu abathile, kodwa akakwazi ukumela uNkulunkulu emsebenzini kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ubengalwa kanjani umuntu noSathane? USathane ubengakuthumba ngisho ngaphambi kokuthi uqale. Kulapho kuphela uNkulunkulu uqobo Lwakhe elwa noSathane futhi umuntu elandela futhi elalela uNkulunkulu kulesi sisekelo, lapho umuntu engazuzwa uNkulunkulu futhi aphunyuke ezibophweni zikaSathane. Lokho umuntu angaphumelela ukukwenza ngokuhlakanipha namakhono akhe kunemigomo kakhulu; akakwazi ukwenza umuntu aphelele, ukumhola, futhi nakakhulu, ukumehlula uSathane. Ingqondo nokuhlakanipha komuntu akukwazi ukubhuntshisa amacebo kaSathane, ngakho umuntu ubengalwa kanjani ngako?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 5)

Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso. Umsebenzi wokudala umhlaba kwabe kuwumsebenzi wokudala sonke isintu. Kwakungewona umsebenzi wokusindisa isintu, futhi awuphathelene nomsebenzi wokusindisa isintu, ngoba ngesikhathi umhlaba udalwa isintu sasingakhonakaliswa uSathane, ngakho sasingekho isidingo sokwenza umsebenzi wokusindisa isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu waqala kuphela lapho isintu sesonakaliswe uSathane, ngakho umsebenzi wokuphatha isintu nawo waqala kuphela lapho isintu sesonakalisiwe. Ngamanye amazwi, ukuphatha kukaNkulunkulu isintu kwaqala ngenxa yomsebenzi wokusindisa isintu futhi akuvelanga emsebenzini wokudala umhlaba. Umsebenzi wokuphatha isintu ngaphandle kwesimo esonakele waba khona kuphela ngemva kokuba isintu sibe nesimo esonakele, kanye nomsebenzi umsebenzi wokuphatha isintu onezingxenye ezintathu, kunokuba ube nezigaba ezine, noma izinkathi ezine. Lena iyona ndlela kuphela elungile yokukhuluma ngokuphathwa kwesintu nguNkulunkulu. Lapho inkathi yokugcina ifika ekupheleni, umsebenzi wokuphatha isintu uyobe usufike ekugcineni ngci. Ukuphethwa komsebenzi wokuphatha kuchaza ukuthi umsebenzi wokusindisa sonke isintu sewuphele nya, nokuthi isintu sesifike ekupheleni kohambo lwaso. Ngaphandle komsebenzi wokusindisa sonke isintu, umsebenzi wokuphatha isintu ubungeke ube khona, noma izigaba ezintathu zomsebenzi ngabe azikho. Kwakungenxa yokonakala kwesintu, nokuthi isintu sasinesidingo esiphuthumayo sokusindiswa, ingakho uJehova aphothula ukudalwa komhlaba futhi waqala umsebenzi weNkathi Yomthetho. Ilapho kuphela umsebenzi wokuphatha isintu waqala khona, okuchaza ukuthi yilapho kuphela okwaqalwa khona umsebenzi wokusindisa isintu. “Ukuphatha isintu” akuchazi ukuqondisa impilo yesintu esisanda kudalwa emhlabeni (okusho ukuthi, isintu esasingakhonakaliswa). Kunalokho, kungukusindiswa kwesintu esesonakaliswe uSathane, okusho ukuthi kungukuguqulwa kwesintu esonakalisiwe. Lena incazelo yokuphatha isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, ngakho-ke umsebenzi wokulawula isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, futhi uhlanganisa kuphela izigaba ezintathu zomsebenzi ezehlukene kunokudalwa komhlaba. Ukuze uqonde umsebenzi wokuphatha isintu, kuyadingeka ukuba ube nolwazi ngomlando wezigaba ezintathu zomsebenzi—lokhu ikona okufanele wonke umuntu akwazi ukuze asindiswe. Njengezidalwa zikaNkulunkulu, kufanele nikhumbule ukuthi umuntu wadalwa nguNkulunkulu, futhi kufanele nikhumbule isisusa sokonakaliswa komuntu, futhi ngaphezu kwalokho, kufanele nikhumbule inqubo yokusindiswa komuntu. Uma wazi kuphela ukwenza ngokuhambisana nemfundiso yokholo ukuze uzuze umusa kaNkulunkulu, kodwa ungenalwazi ngisho oluncane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu, noma isisusa sokonakaliswa kwesintu, ngakho yikho lokhu okuswele njengesidalwa sikaNkulunkulu. Akufanele waneliswe ukuqonda lawo maqiniso angenziwa kuphela, kuyilapho ulokhu ungenalwazi ngesilinganiso esibanzi kakhulu somsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha—uma kunjalo, ubambelele ezimfundisweni ezingaphikiswa. Izigaba ezintathu ziyindaba yangaphakathi kokuphatha kukaNkulunkulu umuntu, ukuqala kwevangeli lomhlaba wonke, imfihlakalo enkulu kunazo zonke esintwini, futhi kuyisisekelo sokusabalalisa ivangeli. Uma ugxila ekuqondeni amaqiniso alula kuphela aphathelene nempilo yakho, futhi ungazi lutho ngalokhu, izimfihlakalo ezinkulu kunazo zonke kanye nemibono, ngakho impilo yakho ayifani yini nomkhiqizo ongasebenzi, ongelusizo lwalutho ngaphandle kokuthi uwubuke nje?

Uma umuntu egxila ekwenzeni kuphela, futhi ebona umsebenzi kaNkulunkulu nolwazi lomuntu njengolusekelayo, akufani yini nokuzikhathaza ngemininingwane emincane ube unganaki izinto ezibaluleke ngokwengeziwe? Lokho okufanele ukwazi, kufanele ukwazi, futhi lokho okufanele ukwenze, kufanele ukwenze. Yilapho kuphela uyoba umuntu okwaziyo ukulwela iqiniso. Uma usuku selufika ukuba usabalalise ivangeli, uma kuphela ukwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu omkhulu futhi olungile, ukuthi unguNkulunkulu Ophakemeyo, uNkulunkulu ongefaniswe namuntu omkhulu, nokungekho ophakeme kuNaye…, uma ungasho kuphela lawa mazwi angenamsebenzi futhi akha phezulu, uphinde ungakwazi nhlobo ukusho amazwi asemqoka kakhulu, futhi anohlonze, uma ungenalutho ongalusho ngokumazi uNkulunkulu, noma umsebenzi kaNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ungakwazi ukuchaza iqiniso, noma ulethe lokho okuswelekayo kumuntu, ngakho umuntu onjengawe akakwazi ukwenza umsebenzi wakhe kahle. Ukufakazela uNkulunkulu nokusabalalisa ivangeli lombuso akuyona into elula. Kufanele kuqala uhlome ngeqiniso, kanye nemibono okufanele iqondwe. Uma ucaciselekile ngemibono kanye neqiniso lezingxenye ezehlukene zomsebenzi kaNkulunkulu, enhliziyweni yakho ugcina uwazi umsebenzi kaNkulunkulu, futhi akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu wenzani—noma ukwahlulela okulungile noma ukucwengwa komuntu—unombono omkhulu njengesisekelo sakho, futhi uneqiniso okuyilo ongalenza, uyokwazi ukulandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Kufanele wazi ukuthi akukhathaleki ukuthi imuphi umsebenzi awenzayo, inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ayiguquki, inhliziyo yomsebenzi Wakhe ayiguquki, futhi intando Yakhe ngomuntu ayiguquki. Ngisho noma amazwi Akhe enzima kangakanani, ngisho noma siphikisa kangakanani isimo, imiyalelo yomsebenzi Wakhe ngeke iguquke, futhi nenhloso Yakhe yokusindisa umuntu ngeke iguquke. Inqobo nje uma kungesona isambulo sokuphela komuntu noma isiphetho somuntu, futhi akuwona umsebenzi wesigaba sokugcina, noma umsebenzi wokufikisa ekugcineni uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lulonke, futhi inqobo uma kusesesikhathini lapho esebenza kumuntu, ngakho inhliziyo yomsebenzi Wakhe ngeke iguquke: iyohlale iyinsindiso yesintu. Lokhu kufanele kube isisekelo sokholo lwenu kuNkulunkulu. Inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi ukusindisa sonke isintu—okuchaza ukusindiswa okuphelele komuntu ekubuseni kukaSathane. Nakuba ngasinye sezigaba ezintathu sinenjongo kanye nokubaluleka kwaso, ngasinye siyingxenye yokusindisa umuntu, futhi siwumsebenzi ohlukile wensindiso owenziwe ngokuvumelana nezidingo zesintu. Uma sewazi inhloso yalezi zigaba ezintathu zomsebenzi, uyobe sewazi ukuqonda ukubaluleka kwesigaba ngasinye somsebenzi, futhi uyokwazi ukuthi wenze njani ukuze wanelise isifiso sikaNkulunkulu. Uma ungafinyelela kuleli banga, ngakho lokhu, umbono omkhulu kunayo yonke, uyoba isisekelo sokukholwa kwakho kuNkulunkulu. Akufanele ufune kuphela izindlela ezilula zokwenza, noma amaqiniso ajulile, kodwa kufanele uhlanganise imibono nokwenza, khona kuzoba khona kokubili, amaqiniso ongawenza kanye nolwazi olunesisekelo emibonweni. Yilapho kuphela uyoba umuntu oshisekela iqiniso ngokupheleleyo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 6)

Izigaba ezintathu zomsebenzi zisekujuleni kwenhliziyo yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, futhi kuzo kuvezwa isimo sikaNkulunkulu nalokho ayikho. Labo abangazi ngezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu usiveza kanjani isimo Sakhe, futhi ababazi ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, futhi baqhubeka nokungabi nalwazi ngezindlela eziningi asindisa ngazo isintu, kanye nentando Yakhe ngesintu sisonke. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuvezwa okuphelele komsebenzi wokusindisa isintu. Labo abangazazi izigaba ezintathu zomsebenzi bazohlala bengenalwazi ngezindlela nemiyalelo ehlukene yomsebenzi woMoya oNgcwele; labo ababambelela kakhulu kuphela emfundisweniemfundisweni esalayo esigabeni esisodwa somsebenzi ngabantu abakhawulisa uNkulunkulu emfundisweni, kanti ukholo lwabo kuNkulunkulu aluqondakali futhi alunasiqiniseko. Abantu abanjalo abasoze bathola insindiso kaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kuphela ezingaveza ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu sisonke, futhi ziveze ngokuphelele inhloso kaNkulunkulu yokusindisa isintu sisonke, kanye nenqubo yonke yokusindiswa kwesintu. Lokhu ubufakazi bokuthi usemhlulile uSathane waphinde wazuza isintu, kuwubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu, futhi kungukuvezwa kwesimo sikaNkulunkulu sisonke. Labo abaqonda isigaba esisodwa ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu bazi ingxenye kuphela yesimo sikaNkulunkulu. Ekucabangeni komuntu, kulula ukuthi lesi sigaba esisodwa somsebenzi siphenduke imfundiso, kuyabonakala ukuthi umuntu angamisa imigomo ngoNkulunkulu, futhi umuntu usebenzisa le ngxenye eyodwa yesimo sikaNkulunkulu njengokuthi imele isimo sikaNkulunkulu sisonke. Ngaphezu kwalokho, okuningi ukucabanga ngamehlo engqondo komuntu kuhlangene lapho, ngendlela yokuthi uyasikhawula ngokuqinile isimo, ubuyena, kanye nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nemiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, ngaphakathi kwemikhawulo enyinyekile, ekholelwa ukuthi uma uNkulunkulu wabe enje ngokunye, uzohlala enjalo sonke isikhathi, futhi ngeke aphinde ashintshe. Kuphela yilabo abaziyo futhi abazinanelayo izigaba ezintathu zomsebenzi abangamazi uNkulunkulu ngokuphelele futhi ngokuyikho. Okungenani, ngeke bamchaze uNkulunkulu njengoNkulunkulu wama-Israyeli, noma amaJuda, futhi ngeke bambone njengoNkulunkulu oyohlala ebethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu. Uma ufinyelela ekwazini uNkulunkulu kusukela esigabeni esisodwa somsebenzi Wakhe, ulwazi lwakho luncane kakhulu. Ulwazi lwakho luyiconsi olwandle. Uma kungenjalo, kungani abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila? Akungenxa yokuthi umuntu ufaka uNkulunkulu emikhawulweni ethile? Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abayibo yini abantu abangazi lutho futhi abanolwazi oluncane abancinyane, abazama nje ukukhombisa ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Laba bantu abanaso isizathu abangakhuluma ngaso! Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 7)

Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumlando ngomsebenzi wonke kaNkulunkulu, ziwumlando wokusindiswa kwesintu futhi aziqanjiwe nje. Uma nifisa ngempela ukuthola ulwazi ngesimo sikaNkulunkulu sisonke, kufanele nizazi izigaba ezintathu zomsebenzi owenziwa nguNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, akufanele neqe inoma isiphi isigaba. Lesi yisiqalo nje okufanele babe naso labo abafuna ukwazi uNkulunkulu. Umuntu uqobo akakwazi ukuzakhela ngokwakhe ulwazi lweqiniso lukaNkulunkulu. Akuyona into umuntu uqobo angayicabanga nje, futhi akuwona umphumela womusa okhethiwe uMoya oNgcwele awunike umuntu oyedwa. Kunalokho, kuwulwazi olufika emuva kokuthi umuntu esezizwele umsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngulwazi lukaNkulunkulu olufika kuphela emuva kokuzizwela amaqiniso omsebenzi kaNkulunkulu. Ulwazi olunje ngeke lutholakale ngomcabango ozifikelayo nje, futhi aluyona into engafundiswa. Luphathelene ngokupheleleyo nodlule kukhona mathupha. Ukusindisa isintu kukaNkulunkulu kuwumnyombo walezi zigaba ezintathu zomsebenzi, kepha emsebenzini wensindiso kutholakala izindlela eziningi zokusebenza namasu isimo sikaNkulunkulu esivezwa ngawo. Yilokhu okunzima kakhulu kumuntu ukuthi akukhombe, futhi kunzima kumuntu ukuthi akuqonde. Ukuhlukaniswa kwezinkathi, izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, izinguquko esizindeni somsebenzi, izinguquko kubemukeli balo msebenzi, njalo njalo—konke lokhu kutholakala ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Ikakhulukazi, umehluko endleleni uMoya oNgcwele asebenza ngayo, kanye ngezinguquko esimweni sikaNkulunkulu, isiqu, igama, ubunjalo, noma ezinye izinguquko, konke kuyingxenye yezigaba ezintathu zomsebenzi. Isigaba esisodwa somsebenzi singamela ingxenye eyodwa kuphela, futhi sigcina esilinganisweni esithile. Asifaki ukwehlukana kwezinkathi, noma izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, kungasaphathwa okwezinye izingxenye. Leli iqiniso elisobala. Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu sewuwonke. Umuntu kufanele awazi umsebenzi kaNkulunkulu kanye nesimo sikaNkulunkulu emsebenzini wensindiso, futhi ngaphandle kwaleli qiniso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lungamazwi ayize, aluyilutho ngaphandle kokubeka imibono engasho lutho. Ulwazi olunjalo alukwazi ukugqugquzela noma ukunqoba umuntu, ulwazi olunjalo luphambene nokuyikhona, futhi akusilona iqiniso. Lungaba luningi kakhulu, luphinde lube mnandi uma uluzwa kodwa uma lumelene nesimo sikaNkulunkulu semvelo, ngakho uNkulunkulu ngeke akuhawukele. Ngeke kuphela angaluncomi ulwazi lwakho, kodwa futhi uyoziphindiselela kuwe ngokuba isoni esimhlambalazayo. Amazwi okwazi uNkulunkulu awakhulunywa kalula. Noma ungaba nolimi olulula futhi uyigagu, futhi nakuba amazwi akho ehlakaniphe ngendlela yokuthi uyakwazi ukuthi into emnyama imhlophe futhi emhlophe imnyama, kodwa awunakho okudingekayo uma sekuza ekutheni ukhulume ngolwazi lukaNkulunkulu. UNkulunkulu akayena lowo ongamehlulela ngamawala, noma umncome ngokunganaki, noma umlulaze ngokunganaki. Uncoma noma ubani nowonke wonke, kepha uyazabalaza ukufika emazwini afanelekile ukuchaza ubukhulu bobuhle nomusa kaNkulunkulu—yilokhu okufundwa izo zonke izehluleki. Nakuba kunochwepheshe bezilimi abaningi abangakwazi ukuchaza uNkulunkulu, ubuqiniso kwalokho abakushoyo, kuncane ngangesilinganiso sekhulu kuneqiniso elikhulunywa abantu baNkulunkulu futhi abanolwazi lwamagama olimi olunomkhawulo, kepha bebe benolwazi nokubona okuningi. Ngakho kuyabonakala ukuthi ulwazi lukaNkulunkulu lutholakala ngokushaya esikhonkosini nokuba yikho uqobo, hhayi ukusetshenziswa kwamagama okuhlakanipha noma ukuba nolwazi lwamagama olimi olunothile, nokuthi ulwazi lomuntu nolwazi lukaNkulunkulu akuhlobene neze. Isifundo sokwazi uNkulunkulu siphakeme ukudlula noma isiphi esesayensi yesintu. Kuyisifundo esingafunyanwa abambalwa kakhulu balabo abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi ngeke kwatholwa inoma umuphi nje umuntu onethalente. Ngakho akufanele nibheke ukwazi uNkulunkulu nokushisekela iqiniso njengokuthi kungamane kwenziwe yingane. Mhlawumbe ube nempumelelo ngokuphelele empilweni yomndeni wakho, noma emsebenzini wakho, noma emshadweni wakho, kodwa uma sekuza eqinisweni, nesifundo sokwazi uNkulunkulu, awunalutho esandleni, awufezanga lutho. Ukwenza iqiniso, kungashiwo, kunzima kakhulu kini, futhi ukwazi uNkulunkulu kuyinkinga enkulu impela. Lokhu ubunzima benu, futhi ubunzima isintu sisonke esibhekene nabo. Phakathi kwalabo ababe nokuphumelela okuthile emkhakheni wokwazi uNkulunkulu, cishe abekho abasezingeni elifanele ncamashi. Umuntu akazi ukuthi kuchaza ukuthini ukwazi uNkulunkulu, noma ukuthi kungani kunesidingo ukwazi uNkulunkulu, noma iliphi izinga elisho ukuthi sewuyamazi uNkulunkulu. Yilokhu okukhungathekisayo esintwini, futhi ngempela nje kuyimpicabadala enkulu kunazo zonke isintu esibhekene nayo—futhi akekho okwazi ukuphendula lo mbuzo, futhi akekho ozimisele ukuphendula lo mbuzo, ngoba, kuze kube namuhla, akekho phakathi kwesintu osewake waba nempumelelo ekufundeni lo msebenzi. Mhlawumbe, uma impicabadala yezigaba ezintathu zomsebenzi isiveziwe esintwini, kuyovela ngokulandelana iqembu labantu abanamathalente abamaziyo uNkulunkulu. Empeleni, ngethemba ukuthi kunjalo, futhi, ngaphezu kwalokho, Ngiphezu kwenqubo yokwenza lo msebenzi, futhi ngithemba ukubona ukuvela kwabaningi abanamathalente anjalo maduzane. Bazoba yilabo abafakazela iqiniso lalezi zigaba ezintathu zomsebenzi, futhi, empeleni, bayoba ngabokuqala ukufakaza ngalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Uma abantu abanawo la mathalente anjalo bengekho, ngosuku lokuphela komsebenzi kaNkulunkulu, noma kukhona oyedwa noma ababili, futhi bevumile mathupha ukupheleliswa nguNkulunkulu othathe isimo sesintu, akukho okubuhlungu futhi esinokuzisola ngakho okudlula lokhu—nakuba kuyisithombe sesimo esibi kunazo zonke ezingenzeka. Noma kwenzekani, ngisethemba ukuthi lapho abashisekela ngokweqiniso bangasizuza lesi sibusiso. Kusukela ekuqaleni kwesikhathi, awukaze ubekhona umsebenzi onje ngaphambilini, umsebenzi onje awukaze wenzeke emlandweni wokuthuthuka komuntu. Uma ngempela ungaba omunye wabokuqala kulabo abazi uNkulunkulu, ngeke lokhu kube wudumo oluphakeme kakhulu kuzo zonke izidalwa? Singaba khona esinye isidalwa phakathi kwesintu esingathola ukunconywa okukhulu okudlula lokho kuNkulunkulu? Umsebenzi onje awulula ukuwufeza kodwa usayovuna imivuzo ekugcineni. Ngale kobulili noma ubuzwe babo, bonke labo abakwazi ukuthola ulwazi lukaNkulunkulu ekugcineni, bayothola amaqhuzu amakhulu kakhulu kuNkulunkulu, futhi kuyoba yibo kuphela abayoba negunya likaNkulunkulu. Lokhu umsebenzi wanamhlanje, futhi umsebenzi wangesikhathi esizayo; owokugcina, futhi uphakeme kunayo yonke imisebenzi ezofezwa eminyakeni eyizi-6,000 yokusebenza, futhi uyindlela yokusebenza eveza lonke uhlobo lomuntu. Ngomsebenzi wokwenza umuntu ukuthi azi uNkulunkulu, izigaba ezehlukene zabantu ziyavezwa: labo abazi uNkulunkulu bafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu futhi bemukele izithembiso Zakhe, kuthi labo abangamazi uNkulunkulu abafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu nokwamukela izithembiso Zakhe. Labo abazi uNkulunkulu bangabangani abakhulu bakaNkulunkulu, kanti labo abangamazi uNkulunkulu angeke babizwa ngabangani abakhulu bakaNkulunkulu; abangani abakhulu bakaNkulunkulu bangathola noma iziphi izibusiso zikaNkulunkulu, kodwa labo abangebona abangani Bakhe abakhulu akufanele bathole noma imiphi yemisebenzi Yakhe. Noma ngabe izinhlupheko, ukucwengwa, noma ukwahlulelwa, konke ngokokuvumela umuntu ukuthola ekugcineni ulwazi lukaNkulunkulu nokuthi umuntu athobele uNkulunkulu. Yilo mphumela kuphela oyofezeka ekugcineni. Ayikho into ezigabeni ezintathu zomsebenzi efihliwe, futhi lokhu kuwusizo ekwazini komuntu uNkulunkulu, futhi kusiza umuntu ukuthi athole ulwazi lukaNkulunkulu oluphelele futhi olugcwele. Wonke lo msebenzi uwusizo kumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 8)

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe ngumbono umuntu ekufanele awubone, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ufezwe ngumuntu, futhi akuwona owomuntu. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuphatha kukaNkulunkulu sekukonke, futhi awukho umbono omkhulu ukudlula lona ofanele ukwaziwa ngumuntu. Uma umuntu engawazi lo mbono omkhulu kangaka, ngakho akulula ukuthi azi uNkulunkulu, futhi akulula ukuqonda intando kaNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, indlela umuntu ahamba kuyo iya ikhuphukela ukukhandla. Ngaphandle kwemibono, umuntu ubengeke akwazi ukuhamba aze afike lapha. Imibono eqaphe umuntu kwaze kwaba inamuhla, futhi yiyo ehlinzeke umuntu ngokuvikeleka okukhulu kakhulu. Esikhathini esizayo, ulwazi lwenu kufanele lujule kakhulu, futhi kufanele nazi intando Yakhe isiyonke kanye nengqikithi yomsebenzi Wakhe ohlakaniphile ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Yilesi kuphela isiqu senu sangempela. Isigaba sokugcina somsebenzi asimile sodwa, kodwa siyingxenye yendikimba eyakhiwe izigaba ezimbili zangaphambilini ndawonye, okusho ukuthi ngeke kwenzeke neze ukuthi uqede umsebenzi wonke wokusindisa ngokwenza esinye sezigaba ezintathu zomsebenzi sodwa kuphela. Nakuba isigaba sokugcina somsebenzi siyakwazi ukusindisa umuntu ngokuphelele, lokhu akusho ukuthi kudingeka kwenziwe lesi sigaba sisodwa kuphela, nokuthi lezi zigaba zomsebenzi ezimbili zangaphambilini azidingeki ukusindisa umuntu ethonyeni likaSathane. Asikho isigaba ezigabeni ezintathu esingaphakanyiswa njengombono okuyiwona kuphela ofanele waziwe isintu sonke, ngoba umsebenzi wensindiso sewu wonke uyizigaba ezintathu zomsebenzi, hhayi isigaba esisodwa phakathi kwazo. Inqobo uma umsebenzi wensindiso ungakafezeki, ukuphatha kukaNkulunkulu ngeke kukwazi ukufika ekupheleni okuphelele. Ubuyena, isimo, kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu buvezwa emsebenzini wensindiso sewu wonke, abuvezwanga kumuntu ekuqaleni kakhulu, kodwa kuvezwe kancane kancane emsebenzi wensindiso. Isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso siveza ingxenye yesimo sikaNkulunkulu, kanye nengxenye yobuyena; Akuzona zonke izigaba zomsebenzi ezingaveza ngqo futhi ezingaveza ngokuphelele Ubuyena sebubonke bukaNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi wensindiso ungaphethwa uma izigaba ezintathu zomsebenzi seziphothuliwe, ngakho ulwazi lo muntu ngakho konke ngoNkulunkulu, lungehlukaniswe nezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Lokho umuntu akuzuzayo esigabeni somsebenzi esisodwa kumane kuyisimo sikaNkulunkulu esivelayo engxenyeni eyodwa yomsebenzi Wakhe. Akukwazi ukumela isimo nobuyena okuvela ezigabeni ezingaphambili noma ezingemuva. Lokhu yingoba umsebenzi wokusindisa umuntu ngeke uqedwe khona manjalo esikhathini esisodwa, noma endaweni eyodwa, kodwa kancane kancane uya ujula ngangezinga lokuthuthuka komuntu ezikhathini nasezindaweni ezihlukene. Kuwumsebenzi owenziwa ngezigaba, futhi awupheli ngesigaba esisodwa. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu sekukonke kucaciswa ezigabeni ezintathu kunasesigabeni esisodwa. Ubuyena bubonke nobuhlakani Bakhe bubonke bendlalwe kulezi zigaba ezintathu, futhi isigaba ngasinye siphethe ubuyena Bakhe, futhi siwumbhalo wokuhlakanipha komsebenzi Wakhe. Umuntu kufanele azi isimo sisonke sikaNkulunkulu esivezwa kule zigaba ezintathu. Konke lokhu ngobuyena bukaNkulunkulu kubaluleke kakhulu impela esintwini sonke, futhi uma abantu bengenalo lolu lwazi uma bekhonza uNkulunkulu, abahlukile kulabo abakhonza uBuddha. Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu awufihliwe kumuntu, futhi kufanele waziwe yibo bonke labo abakhonza uNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu esezenzile lezi zigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso phakathi kwabantu, umuntu kufanele azi ukuvezwa kwalokho anakho nayikho ngezikhathi zalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ilokhu okufanele kwenziwe umuntu. Akufihlayo uNkulunkulu kumuntu yilokho umuntu angeke akwazi ukukwenza, nalokho umuntu angafanele ukukwazi, kanti lokho uNkulunkulu akukhombisa umuntu yilokho umuntu ekufanele akwazi, nalokho umuntu ekufanele abenakho. Isigaba ngasinye sezigaba ezintathu zomsebenzi senziwa phezu kwesisekelo sesigaba esingaphambilini; asenziwa ngokuzimela, sehlukanisiwe emsebenzini wensindiso. Nakuba kunomehluko omkhulu enkathini nenhlobo yomsebenzi owenziwayo, emnyombeni wawo, kuseyinsindiso yesintu, futhi isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso sijulile kakhulu kunesigcinile.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 9)

Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu awufihliwe kumuntu, futhi kufanele waziwe yibo bonke labo abakhonza uNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu esezenzile lezi zigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso phakathi kwabantu, umuntu kufanele azi ukuvezwa kwalokho anakho nayikho ngezikhathi zalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ilokhu okufanele kwenziwe umuntu. Akufihlayo uNkulunkulu kumuntu yilokho umuntu angeke akwazi ukukwenza, nalokho umuntu angafanele ukukwazi, kanti lokho uNkulunkulu akukhombisa umuntu yilokho umuntu ekufanele akwazi, nalokho umuntu ekufanele abenakho. Isigaba ngasinye sezigaba ezintathu zomsebenzi senziwa phezu kwesisekelo sesigaba esingaphambilini; asenziwa ngokuzimela, sehlukanisiwe emsebenzini wensindiso. Nakuba kunomehluko omkhulu enkathini nenhlobo yomsebenzi owenziwayo, emnyombeni wawo, kuseyinsindiso yesintu, futhi isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso sijulile kakhulu kunesigcinile. Isigaba ngasinye somsebenzi siqhubeka esisekelweni sesigaba esigcinile, esingaqedwanga. Ngale ndlela, emsebenzini Wakhe ohlale umusha futhi ongabi mdala neze, uNkulunkulu uhlala eveza izingxenye zesimo Sakhe ezingakaze zivezwe ngaphambilini kumuntu, futhi uhlala eveza kumuntu umsebenzi Wakhe omusha, nobuyena Bakhe obusha. Futhi nakuba amakholwa ahambisa ngokudala enza konke okusemandleni ukumelana nalokhu, futhi aphikisana nakho imbaba, uNkulunkulu uyawenza njalo umsebenzi omusha ahlose ukuwenza. Umsebenzi Wakhe uhlale ushintsha, futhi ngenxa yalokhu, uhlale uhlangabezana nokuphikiswa ngumuntu. Naso, ngokunjalo, isimo Sakhe sihlale sishintsha, njengenkathi nabamukeli bomsebenzi Wakhe? Ngaphezu kwalokho, njalo uhlale enza umsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini, wenza ngisho umsebenzi obukeka uphambene nomsebenzi obuwenziwa ngaphambilini, ahambise ngokuphambene nawo. Umuntu ukwazi ukwemukela indlela eyodwa kuphela yokusebenza noma indlela eyodwa yokwenza. Kunzima kumuntu ukwemukela umsebenzi noma izindlela zokwenza, ezingavumelani nabo, noma eziphakeme kunabo—kodwa uMoya oNgcwele uhlale enza umsebenzi omusha, ngakho kuye kuqhamuke amaqembu ngamaqembu ochwepheshe kwezokukholwa abamelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu. Laba bantu sebebe ngochwepheshe ngenxa kanye yokuthi umuntu akanalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akabi mdala nhlobo, futhi akanalwazi ngezimiso zomsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde, okudlula lokho, akanalwazi ngezindlela eziningi uNkulunkulu asindisa ngazo umuntu. Ngakho, umuntu akakwazi nhlobo ukubona noma umsebenzi ovela kuMoya oNgcwele, noma umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abaningi babambelela kule simo sengqondo lapho, uma uhambisana namazwi angaphambilini, babe sebeyawemukela, futhi uma kunomehluko kunomsebenzi wangaphambilini, bayamelana nawo futhi bawukhahlele. Namuhla, akuve nonke nibambelele kuleyo miyalelo? Izigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso azizange zibe nomphumela otheni kini, futhi kunalabo abakholwa ukuthi izigaba ezimbili zangaphambilini ziwumthwalo ongenasidingo ngempela sokuthi bawazi. Bacabanga ukuthi lezi zigaba akufanele zithulwe kuquqaba futhi kufanele zihoxiswe ngokushesha kakhulu, ukuze abantu bangazizwa bekhungathekile yizigaba ezimbili zangaphambilini kule zigaba ezintathu zomsebenzi. Abaningi bakholelwa ukuthi ukwenza izigaba ezimbili zangaphambilini ukuthi zaziwe, sekwedlulele, futhi akunasizo ekwazini uNkulunkulu—nicabanga kanjalo. Namuhla, nonke nicabanga ukuthi kulungile ukwenza kanjalo, kodwa usuku luyofika lapho niyobona ukubaluleka komsebenzi Wami: Yazini ukuthi angenzi msebenzi ongabalulekile. Njengoba ngimemezela izigaba ezintathu kuwe, ngakho kufanele zibe wusizo kuwe; njengoba le zigaba ezintathu ziyingqikithi yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, ngakho kufanele bonke abantu bagxile kuzona emhlabeni jikelele. Ngelinye ilanga, nonke niyobona ukubaluleka kwalo msebenzi. Yazini ukuthi nimelana nomsebenzi kaNkulunkulu, noma nisebenzisa imibono yenu siqu ukukala umsebenzi wanamhlanje, ngoba anizazi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngoba aniwuthathi ngokuthi ubalulekile ngokwanele umsebenzi woMoya oNgcwele. Ukumelana kwenu noNkulunkulu kanye nokuvimbela umsebenzi woMoya oNgcwele kudalwa imibono yenu kanye nokukhukhumala okusemvelweni yenu. Akukhona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulunganga, kodwa yingoba anilaleli kakhulu ngokwemvelo. Emuva kokuthola ukholo lwabo kuNkulunkulu, abanye abantu abakwazi ngisho ukusho ngesiqiniseko ukuthi umuntu waqhamuka kuphi, kepha bayalokotha bathule izinkulumo emphakathini behlola ukulunga nokungalungi komsebenzi woMoya oNgcwele. Futhi baze bafundise abaphostoli abanomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, bephawula futhi bekhuluma kungafanele; ubuntu babo buphansi kakhulu, futhi abanangqondo kwakona. Ngeke lufike na usuku lapho abantu abanjalo beyolahlwa umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bashe emililweni yasesihogweni. Abawazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kunalokho bayawugxeka umsebenzi Wakhe, futhi baphinde bazame ukutshela uNkulunkulu ukuthi asebenze kanjani. Bangamazi kanjani abantu abangenangqondo kanjalo uNkulunkulu? Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngesikhathi senqubo yokumfuna nokuzizwela Yena; ufika ekumazini uNkulunkulu ngokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ngokumgxeka ngomathanda. Uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luya ngokucophelela, bayanciphisa ukumelana Naye. Uma siqhathanisa, uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luphansi, yilapho kulula ukuthi bamelane Naye. Imibono yakho, imvelo yakho endala, nobuntu, isimilo kanye nesimo sakho sokuziphatha, “isamba” omelana ngaso noNkulunkulu, futhi ngangokukhohlakala, ukonakaliswa kanye nokubaphansi oyikho, ingangokunyukela kokuba kwakho isitha sikaNkulunkulu. Labo abanemibono emibi kakhulu futhi abanesimo sokuzithwala banobutha ngisho nakakhulu noNkulunkulu othathe isimo sesintu, futhi abantu abanjalo abaphikikristu. Uma imibono yakho ingaguqulwanga, iyohlala njalo imelene noNkulunkulu; awusoze wazwana noNkulunkulu, futhi uyohlala uhlukene Naye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 10)

Izigaba ezintathu zomsebenzi bezingenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi akekho umuntu ongamenzela lo msebenzi—okusho ukuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela obengenza umsebenzi Wakhe siqu kusukela ekuqaleni kuze kube manje. Nakuba izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwe ezinkathini nasezindaweni ezehlukene, futhi nakuba umsebenzi wazo ngasinye uhlukile, wonke umsebenzi wenziwe nguNkulunkulu oyedwa. Emibonweni iyonke, lona umbono omkhulu kunayo yonke umuntu okufanele ayazi, futhi uma uqondwa ngokuphelele umuntu, ngakho uyokwazi ukuma aqine. Namuhla, inkinga enkulu kakhulu izinkolo namahlelo ezibhekene nayo ukungawazi umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi awakwazi ukuhlukanisa phakathi komsebenzi woMoya oNgcwele nomsebenzi okungewona owoMoya oNgcwele—ngakho azikwazi ukubona noma lesi sigaba somsebenzi, njengalezi zigaba ezimbili zomsebenzi ezigcinile, naso senziwa nguNkulunkulu uJehova. Nakuba abantu belandela uNkulunkulu, abaningi abakwazi ukubona noma yindlela elungile yini. Umuntu uyakhathazeka ngokuthi le ndlela yindlela eholwa nguNkulunkulu Ngokwakhe mathupha, nokuthi ukuthatha kwesimo sesintu kukaNkulunkulu kuyiqiniso, futhi abantu abaningi namanje abakwazi ukwehlukanisa uma sekuza ezintweni ezinjalo. Labo abalandela uNkulunkulu abakwazi ukucacisa indlela, ngakho imilayezo ekhulunywayo inomphumela ongaphelele phakathi kwala bantu, futhi ayikwazi ukusebenza ngokuphelele, ngakho lokhu kuyakuthikameza ukungena empilweni kwabantu abanjalo. Uma umuntu engabona ezigabeni ezintathu zomsebenzi ukuthi zenziwa nguNkulunkulu Uqobo ezikhathini ezehlukene, ezindaweni ezehlukene, kanye nakubantu abahlukene, uma bengabona ukuthi nakuba umsebenzi uhlukile, wonke wenziwa uNkulunkulu oyedwa, nokuthi njengoba kuwumsebenzi owenziwa uNkulunkulu oyedwa, khona-ke kufanele ukuthi ulungile, futhi awunawo amaphutha, nokuthi noma ungavumelani nemibono yabantu, akukho ukungabaza ukuthi umsebenzi waNkulunkulu oyedwa—uma umuntu engasho ngokuqiniseka ukuthi ngumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, ngakho imibono yomuntu izomane iphenduke ubala nje, engafanelekile ngisho ukuthi ungakhuluma ngakho. Ngenxa yokuthi imibono yomuntu ayicacanga, futhi umuntu wazi uJehova njengoNkulunkulu, noJesu njengeNkosi, futhi unemiqondo emibili mayelana noNkulunkulu othathe isimo sesintu wanamhlanje, abantu abaningi baqhubeka nokuzinikela emsebenzini kaJehova noJesu, futhi bakhungathwe imibono ngomsebenzi wanamhlanje, abantu abaningi bahlale bengabaza, futhi abawuthathi umsebenzi wanamhlanje ngokuthi ubalulekile. Umuntu akanayo imibono mayelana nezigaba ezimbili zokugcina zomsebenzi, ezazingabonakali. Yingoba umuntu akaliqondi iqiniso mayelana nezigaba ezimbili zokugcina zomsebenzi, futhi akazange azibonele zona mathupha. Yingoba azibonakali yingakho umuntu ezicabangela njengoba ethanda; akukhathaliseki ukuthi uvezani, awekho amaqiniso azifakazelayo, futhi akekho ozozilungisa. Umuntu unikezela ngokungenamkhawulo ukuzibonela kwakhe ngokwemvelo engakhathaleli lutho futhi evumela ukucabanga ngamehlo engqondo kwakhe kukhululeke, ngoba akunamaqiniso ongaqinisekisa ngawo, ngakho ukucabanga komuntu kuphenduka “iqiniso,” akukhathaliseki noma bukhona yini ubufakazi kukhona. Ngakho umuntu ukholelwa kuNkulunkulu wakhe emqondweni wakhe, futhi angamfuni uNkulunkulu weqiniso. Uma umuntu oyedwa enenkolelo ethize, ngakho phakathi kwabantu abalikhulu abanezinkolelo kunezinhlobo eziyikhulu zezinkolelo. Umuntu unalezo zinkolelo ngoba akaliboni iqiniso lomsebenzi kaNkulunkulu, ngoba usawuzwe ngezindlebe zakhe kuphela futhi akakawuboni ngamehlo akhe. Umuntu usezwe izinganekwane nezindaba kodwa—akavamisile ukuzwa ulwazi ngamaqiniso omsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho kungenxa yemibono yabo ukuthi abantu osekuphele unyaka owodwa nje bengamakholwa, ukuthi bakholwe nguNkulunkulu, lokhu kuyiqiniso futhi nakulabo asebekholwe kuNkulunkulu iminyaka yabo yonke. Labo abangawaboni amaqiniso abasoze bakwazi ukuphunyuka okholweni lapho benemibono ngoNkulunkulu. Umuntu ucabanga ukuthi usezikhululile ezibophweni zemibono yakhe emidala, futhi usengene endaweni entsha. Umuntu akazi ukuthi ulwazi lwalabo abangabuboni ubuso beqiniso bukaNkulunkulu luyimibono nenzwabethi nje kuphela? Umuntu ucabanga ukuthi imibono yakhe ilungile, futhi ayinaphutha, futhi ucabanga ukuthi le mibono ivela kuNkulunkulu. Namhlanje, lapho umuntu ebona umsebenzi kaNkulunkulu, udedela imibono eseyakheleke eminyakeni eminingi. Imicabango yokubuka ngomqondo kanye namacebo akudala aphenduka abayisithiyo emsebenzini wale sigaba, futhi kwaba lukhuni kumuntu ukuthi ashiye imibono enjalo futhi aphikise amacebo anjalo. Imibono ngalo msebenzi ohambisa ngesinyathelo nesinyathelo sabaningi balabo abakade belandela uNkulunkulu kuze kube namuhla seyiye ngokunyukela yabanzima kakhulu futhi laba bantu kancane kancane sebakhe ubutha obunenkani noNkulunkulu othathe isimo somuntu. Isisusa sale nzondo sisemibonweni nasemicabangweni yomuntu. Imibono nemicabango yomuntu iphenduke isitha somsebenzi wanamuhla, umsebenzi ophambene nemibono yomuntu. Lokhu kwenzeke ngenxa kanye yokuthi amaqiniso awamvumeli umuntu ukuthi akhulule ukubuka kwakhe ngamehlo engqondo, futhi, ngaphezu kwalokho, akulula ukuthi aphikiswe ngumuntu, futhi nemibono nokubona ngamehlo engqondo komuntu, akuvumeli ukubakhona kwamaqiniso, phezu kwalokho, ngoba umuntu akacabangi ngokulunga nokunemba kwamaqiniso, futhi ngokuzicabangela yedwa umane adedele imibono yakhe futhi asebenzise ukucabanga kwakhe. Lokhu kungathiwa nje kuphela iphutha lemibono yomuntu, futhi ngeke kuthiwe iphutha lomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu angacabanga noma yini ayithandayo, kodwa akakwazi ukuphikisa ngokukhululeka nanoma isiphi isigaba somsebenzi kaNkulunkulu noma ucezu lwaso; ukubakhona komsebenzi kaNkulunkulu akunakoniwa ngumuntu. Ungakhulula ukucabanga kwakho ngamehlo engqondo, futhi ungaqoqa ndawonye izindaba ezinhle ngoJehova noJesu, kodwa awukwazi ukuphikisa iqiniso nganoma isiphi isigaba somsebenzi kaJehova noJesu ngasinye; lokhu isimiso, futhi njalo kuyisimemezelo sokuphatha, futhi kufanele niqonde ukubaluleka kwalezi zindaba. Umuntu ukholwa ukuthi le sigaba somsebenzi asihambisani nemibono yomuntu, futhi nokuthi lokhu akunjalo mayelana nezigaba zomsebenzi ezimbili ezingaphambilini. Ekubukeni kwakhe ngamehlo engqondo, umuntu ukholwa ukuthi umsebenzi wezigaba ezimbili zangaphambilini ngokuqinisekile awufani nomsebenzi wanamhlanje—kodwa wake wacabanga ukuthi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu zonke ziyafana, ukuthi umsebenzi Wakhe ungobonakalayo njalo, nokuthi, akukhathali inkathi, kuyohlala kukhona inkindlane yabantu abamelana futhi baphikise iqiniso lomsebenzi Wakhe? Bonke labo namuhla abamelana futhi baphikise le sigaba somsebenzi akungabazeki ukuthi babeyophikisana noNkulunkulu ezikhathini zakudala, ngoba abantu abanjalo bayohlala beyizitha zikaNkulunkulu. Abantu abazi iqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu bazobona izigaba ezintathu zomsebenzi njengomsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, futhi bazoshiya phansi imibono yabo. Laba ngabantu abamaziyo uNkulunkulu, futhi abantu abanjalo yilabo abalandela uNkulunkulu ngeqiniso. Uma ukuphatha kwaNkulunkulu sekukonke sekusondela ekupheleni, uNkulunkulu uzohlela zonke izinto ngohlobo lwazo. Umuntu wenziwa izandla zoMdali, futhi ekugcineni kufanele Abuyisele umuntu ngaphansi kombuso Wakhe; lesi isiphetho sezigaba ezintathu zomsebenzi. Isigaba somsebenzi ezinsukwini zokugcina, nezigaba ezimbili ezingaphambilini kwa-Israyeli naseJudiya, ziwuhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu emhlabeni jikelele. Akekho ongakuphika lokho, futhi kuyiqiniso lomsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba abantu abakawuboni noma bazizwele okuningi ngalo msebenzi, amaqiniso aselokhu engamaqiniso, futhi lokhu kungephikiswe nanoma imuphi umuntu. Abantu abakholwa kuNkulunkulu emazweni wonke emhlabeni jikelele bonke bazokwemukela izigaba ezintathu zomsebenzi. Uma wazi isigaba esithile somsebenzi, futhi ungaziqondi lezi ezinye izigaba ezimbili, ungaqondi umsebenzi kaNkulunkulu ezikhathini ezedlule, ngakho awukwazi ukukhuluma iqiniso lonke lohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lunohlangothi olulodwa, ngoba okholweni lwakho kuNkulunkulu Awumazi, noma Awumqondi, ngakho awufanele ukufakazela uNkulunkulu. Akukhathaliseki ukuthi ulwazi lwakho lwamanje lwalezi zinto lujulile noma lukha phezulu, ekugcineni, kufanele nibe nolwazi, futhi nikholiseke ngokucophelela, futhi bonke abantu bayowubona umsebenzi kaNkulunkulu usuwonke futhi bathobe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Ekupheleni kwalo msebenzi, zonke izinkolo ziyohlangana, zonke izidalwa ziyobuyela ngaphansi kombuso woMdali, zonke izidalwa ziyokhonza uNkulunkulu oyedwa oyiqiniso, futhi zonke izinkolo ezimbi ziyophela, futhi zingaphinde zivele.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 11)

Kungani kulokhu kukhulunywa ngalezi zigaba ezintathu zomsebenzi? Ukudlula kwezinkathi, ukuthuthuka kwezokuhlalisana kwabantu, kanye nobuso bemvelo obushintshayo konke kulandela izinguquko ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Ngokuhamba kwesikhathi isintu siyashintsha ngokuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, futhi asithuthuki ngokwaso sisodwa. Ukuzisho izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kwenzelwa ukuze kuqoqwe zonke izidalwa, nabantu kuzo zonke izinkolo namahlelo, ngaphansi kombuso kaNkulunkulu oyedwa. Akukhathaleki ukuthi ukuyiphi inkolo, ekugcineni nonke niyothoba ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela ongenza lo msebenzi; awunakwenziwa inoma iyiphi inhlokho yenkolo. Ziningi izinkolo ezinkulu emhlabeni, futhi ngayinye inenhloko yayo, noma umholi, futhi abalandeli basabalele emazweni ngezifunda ezihlukene emhlabeni wonke; wonke amazwe, angaba mancane noma makhulu, anezinkolo ezihlukene ngaphakathi kwawo. Nokho, akukhathaliseki ukuthi zingaki izinkolo ezikhona emhlabeni jikelele, bonke abantu emhlabeni uhlangene namazulu ekugcineni baphila ngaphansi kokuqondiswa nguNkulunkulu oyedwa, futhi impilo yabo ayiqondiswa ikhanda noma umholi wenkolo othile. Okungukusho ukuthi isintu asiholwa inhloko noma umholi wezenkolo othile; esikhundleni salokho isintu sisonke siholwa nguMdali, owadala amazulu nomhlaba, kanye nezinto zonke, futhi wadala nesintu—futhi lokhu kuyiqiniso. Nakuba umhlaba unezinkolo eziningi ezinkulu, akukhathaliseki ukuthi zinkulu kangakanani, zonke zikhona ngaphansi kokubuswa uMdali futhi azikho kuzona ezingadlula isilinganiso salo mbuso. Ukuthuthuka kwesintu, inqubekela phambili kwezokuhlalisana kwabantu, ukuthuthuka kwezesayensi yemvelo—ngakunye kungehlukaniswe namalungiselelo oMdali, futhi lo msebenzi akuyona into engenziwa umholi wenkolo othile. Izinhloko zezinkolo zimane zingabaholi benkolo ethile, futhi ngeke zimele uNkulunkulu noma lowo owadala amazulu nomhlaba kanye nezinto zonke. Izinhloko zenkolo zingahola bonke labo abakuleyo nkolo iyonke, kodwa ngeke zikwazi ukubusa zonke izidalwa ngaphansi kwamazulu—leli iqiniso elivunywayo emhlabeni wonke. Izinhloko zenkolo zimane zingabaholi, futhi ngeke zime zilingane noNkulunkulu (uMdali). Zonke izinto zisezandleni zoMdali, futhi ekugcineni zonke ziyobuyela ezandleni zoMdali. Isintu senziwa nguNkulunkulu ekuqaleni, futhi akukhathaliseki inkolo, wonke umuntu uyobuyela ngaphansi kokubuswa nguNkulunkulu—lokhu akunakugwemeka. UNkulunkulu kuphela okunguye oPhezukonke phakathi kwezinto zonke, futhi umbusi ophakeme kunabo bonke phakathi kwezidalwa zonke kufanele naye abuyele ngaphansi kokubusa Kwakhe. Noma ngabe isikhundla somuntu siphakeme kangakanani, ngeke akwazi ukuletha isintu esiphethweni esifanele, futhi akekho okwazi ukuhlela zonke izinto ngohlobo lwazo. UJehova Uqobo Lwakhe owadala isintu futhi wasihlela ngohlobo, futhi uma isikhathi sokuphela sifika uyokwenza umsebenzi Wakhe Uqobo Lwakhe, ehlela zonke izinto ngohlobo lwazo—futhi lokhu ngeke kwenziwe inoma ubani ngaphandle kukaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi ezenziwe kusukela ekuqaleni kuze kube namuhla zonke zenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi zenziwa nguNkulunkulu oyedwa. Iqiniso ngezigaba ezintathu zomsebenzi yiqiniso lobuholi bukaNkulunkulu besintu sonke, iqiniso ongekho ongaliphika. Ekugcineni kwezigaba ezintathu zomsebenzi, zonke izinto ziyohlelwa ngohlobo futhi zibuyele ngaphansi kokubuswa nguNkulunkulu, ngoba emhlabeni jikelele kukhona lo Nkulunkulu oyedwa kuphela, futhi azikho ezinye izinkolo. Ongazange awudale umhlaba ngeke akwazi ukuwufikisa ekugcineni, kepha Lowo owadala umhlaba ngokuqinisekile uzowufikisa ekugcineni, ngakho uma umuntu engakwazi ukuletha inkathi esiphethweni futhi wazi nje ukusiza umuntu ukuthi alungise umqondo wakhe, impela ngeke abe uNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile ngeke abe yiNkosi yesintu. Ngeke akwazi ukwenza umsebenzi omkhulu kanjalo; munye kuphela ongenza lo msebenzi onjalo, futhi bonke labo abangakwazi ukwenza lo msebenzi ngokuqinisekile izitha ngaphandle kwaNkulunkulu. Zonke izinkolo ezimbi azihambisani noNkulunkulu, futhi njengoba zingahambisani noNkulunkulu, ziyizitha zikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi wenziwa yilo Nkulunkulu oyedwa oyiqiniso, kanti nomhlaba wonke nezulu lonke likhuzwa ngulo Nkulunkulu oyedwa. Akukhathaliseki ukuthi usebenza kwa-Israyeli noma eShayina, akukhathaliseki ukuthi umsebenzi wenziwe uMoya oNgcwele noma inyama, konke kwenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi kungenziwe omunye. Yingoba kanye unguNkulunkulu wesintu sonke yingakho Yena esebenza ngokukhululeka, engacindezelwe yinoma imiphi imibandela-futhi lokhu umbono omkhulu kunayo yonke. Njengesidalwa sikaNkulunkulu, uma ufisa ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu futhi uqonde intando kaNkulunkulu, kufanele uqonde umsebenzi kaNkulunkulu, kufanele uqonde intando kaNkulunkulu ngezidalwa, kufanele uqonde uhlelo Lwakhe lokuphatha, futhi kufanele uqonde konke ukubaluleka komsebenzi awenzayo. Labo abangakuqondi lokhu abafanelekile ukuba izidalwa zikaNkulunkulu! Njengesidalwa sikaNkulunkulu, uma ungaqondi ukuthi wavelaphi, ungaqondi umlando wesintu kanye nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ungaqondi ukuthi isintu sithuthuke kanjani kuze kube inamuhlanje, futhi ungaqondi ukuthi ubani olaya isintu sisonke, awukwazi ukwenza umsebenzi wakho. UNkulunkulu usehole isintu kwaze kwaba inamhlanje, futhi selokhu Adala umuntu emhlabeni akakaze amshiye. UMoya oNgcwele akayeki ukusebenza, akakaze ayeke ukuhola isintu, futhi akakaze asishiye isintu. Kodwa isintu asiboni ukuthi kukhona uNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi sazi uNkulunkulu, futhi ikhona yini enye into edumaza ukudlula le ezidalweni zikaNkulunkulu zonke? UNkulunkulu uhola umuntu mathupha, kodwa umuntu akawuqondi umsebenzi kaNkulunkulu. Uyisidalwa sikaNkulunkulu, kepha awuwuqondi umlando wakho siqu, futhi awazi ukuthi ubani okuholile kulolu hambo, awuwazi umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, futhi ngeke umazi uNkulunkulu. Uma ungazi manje, awusoze wafaneleka ukuba unike ubufakazi ngoNkulunkulu. Namuhla, uMdali uhola abantu mathupha futhi, wenza bonke abantu babone ubuhlakani, ukuba ngusomandla, insindiso kanye nokumangalisa Kwakhe. Kepha namanje awuboni noma awuqondi—ngakho awuyena lowo ongeke aze athole insindiso? Laba abangaba kaSathane abawaqondi amazwi kaNkulunkulu, futhi labo abangaba kaNkulunkulu bayakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu. Bonke labo ababonayo futhi abaqondayo amazwi engiwakhulumayo yilabo abazosindiswa, futhi bafakazele kuNkulunkulu; bonke labo abangaqondi amazwi engiwakhulumayo ngeke bakwazi ukufakazela uNkulunkulu, futhi bayilabo abayobhubhiswa. Labo abangaqondi intando kaNkulunkulu futhi abangawuboni umsebenzi kaNkulunkulu ngeke bakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde abantu abanjalo ngeke bafakazele uNkulunkulu. Uma ufisa ukufakazela uNkulunkulu, kufanele wazi uNkulunkulu, futhi ulwazi lukaNkulunkulu lugcwaliseka ngomsebenzi kaNkulunkulu. Sekukonke, uma ufisa ukwazi uNkulunkulu, kufanele wazi umsebenzi kaNkulunkulu: Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu impela. Uma izigaba ezintathu zomsebenzi zifika ekupheleni, kuyokwenziwa iqembu lalabo abafakazela uNkulunkulu, iqembu lalabo abamaziyo uNkulunkulu. Bonke laba bantu bayomazi uNkulunkulu futhi bayokwazi ukwenza iqiniso. Bayoba nobuntu nomqondo, futhi bonke bayozazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso. Lona umsebenzi oyogcwaliseka ekugcineni, futhi la bantu bangukucaciswa komsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, futhi bangubufakazi obunamandla bokuhlulwa kukaSathane ekugcineni. Labo abangafakazela uNkulunkulu bayokwazi ukuthola isithembiso nesibusiso sikaNkulunkulu, futhi bayoba iqembu eliyosala ekugcineni ngci, elinegunya likaNkulunkulu futhi lifakazela uNkulunkulu. Mhlawumbe abalapha phakathi kwenu bonke bayoba amalunga aleli qembu noma mhlawumbe uhhafu kuphela, noma abambalwa kuphela—kuncike entandweni yenu nokushisekela kwenu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 12)

Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukaniswe lwaba yizigaba ezintathu zomsebenzi. Asikho isigaba esisodwa esingamelela zontathu izinkathi kodwa kunalokho singamelela ingxenye eyodwa yakho konke. Igama likaJehova ngeke lisimelele sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wenze umsebenzi eNkathini Yomthetho akusho ukuthi angaba nguNkunkulu kuphela ngaphansi komthetho. UJehova wahlela imithetho yomuntu futhi waloba phansi imiyalo, ecela abantu ukuba bakhe ithempeli nama-altare; umsebenzi awenza umelele iNkathi Yomthetho kuphela. Umsebenzi awenza awusho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu oyala abantu ukuba bagcine umthetho, uNkulunkulu osethempelini noma uNkulunkulu ophambi kwe-altare. Lokhu akunakushiwo. Umsebenzi ngaphansi komthetho umelela kuphela inkathi eyodwa. Ngakho, uma uNkulunkulu enze umsebenzi eNkathini Yomthetho kuphela, umuntu ubengachaza uNkulunkulu athi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu osethempelini. Ukuze sikhonze uNkulunkulu, kumele sigqoke izingubo zabapristi bese singena ethempelini.” Ukube umsebenzi oseNkathini Yomusa awuzange wenziwe futhi ukube iNkathi Yomthetho iqhubekile kwaze kwaba namuhla, umuntu ubengeke akwazi ukuthi uNkulunkulu unesihe nothando. Ukube umsebenzi weNkathi Yomthetho awuzange wenziwe, kodwa kwenziwe kuphela umsebenzi weNkathi Yomusa, umuntu ubeyokwazi kuphela ukuthi uNkulunkulu angamkhulula umuntu futhi amthethelele izono. Abantu bebeyokwazi kuphela ukuthi ungcwele futhi akanacala, angazidela futhi abulawe ngenxa yomuntu. Umuntu ubeyokwazi lokhu kuphela futhi angakuqondi okunye. Ngakho inkathi ngayinye imelele isimo sikaNkulunkulu. INkathi Yomthetho imelele izingxenye ezithile, iNkathi Yomusa imelele izingxenye ezithile futhi lena imelele okunye. Isimo sikaNkulunkulu singambulwa ngokuphelele ngokuhlanganisa lezi zinkathi ezintathu. Umuntu angakuqonda kahle kuphela lapho eziqaphela zonke lezi zigaba. Kungeqiwe nesisodwa isigaba. Isimo sikaNkulunkulu semvelo niyokwazi ukusiqonda ngokuphelele lapho senazi lezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ukuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomthetho akusho ukuthi unguNkulunkulu ongaphansi komthetho nokuthi ukupheleliswa komsebenzi Wakhe wokukhulula isintu akubonisi ukuthi uNkulunkulu uyohlezi ekhulula abantu. Le yimiphumela yokucabanga kwabantu. INkathi Yomusa isifike ekugcineni, kodwa angeke uthi uNkulunkulu ungowesiphambano kuphela nokuthi isiphambano sisho ukusindisa kukaNkulunkulu. Uma nenza kanjalo, nichaza uNkulunkulu. Kulesi sigaba, uNkulunkulu umane enza umsebenzi wezwi kodwa ngeke nithi uNkulunkulu akasoze aba nesihe kubantu nokuthi konke akulethile ukusola nokwahlulela. Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo. Kusekupheleni kohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuphela lapho abantu beyoqonda isimo siNkulunkulu ngokuphelele, ngoba ukuphatha Kwakhe kuyobe sekufike ekugcineni.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 13)

Wonke umsebenzi owenziwe ohlelweni lokuqondisa lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha manje usufike ekupheleni. Kuphela ngemva kokuba wonke lo msebenzi usuwambuliwe kumuntu futhi wenziwa phakathi komuntu abazokwazi sonke isimo Sakhe nezinto anazo kanye nobuntu Bakhe. Uma umsebenzi walesi sigaba usuphothuliwe, zonke izinto ebeziyimfihlakalo kubantu ziyokwambulwa, wonke amaqiniso abekade engaqondwa azocaciswa nesintu siyokwazi ukutshelwa ngekusasa. Lona yiwo wonke umsebenzi okumele wenziwe kulesi sigaba. Nakuba indlela umuntu ayihambayo namuhla futhi iyindlela yesiphambano neyokuhlupheka, lokho umuntu wanamuhla akwenzayo, akudlayo, akuphuzayo nakujabulelayo kwehluke kakhulu kokomuntu wangaphansi komthetho noweNkathi Yomusa. Lokho okufuneka kumuntu kulolu suku akufani nokwangezikhathi zangaphambili futhi akufani kakhulu nalokho okwakulindelwe kubantu ngeNkathi Yomthetho. Futhi yikuphi okwakudingeka kumuntu ngaphansi komthetho ngenkathi kwenziwa umsebenzi kwa-Israyeli? Akukho okwakulindeleke kubo ngaphandle kokugcina iSabatha kanye nemithetho kaJehova. Akekho okwakumele asebenze ngeSabatha noma aphule umthetho kaJehova. Kodwa akunjalo namuhla. NgeSabatha, abantu bayasebenza, baqoqane ndawonye bathandaze njengenjwayelo, futhi akukho mingcele ebekiwe. Labo ababeseNkathini Yomusa kwakumele babhapathizwe; kwakungagcini lapho, kwakuthiwa bazile ukudla, bahlephule isinkwa, baphuze iwayini, bamboze amakhanda abo futhi bageze izinyawo zabo. Manje, le miyalo isiqediwe futhi sekufuneka okuningi kumuntu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka ujula futhi ukungena komuntu kuya kukhula ngisho nakakhulu. Endulo, uJesu wayebeka izandla Zakhe kumuntu athandaze, kodwa ngoba manje zonke izinto sezishiwo sikuphi isidingo sokubeka izandla? Amazwi nje ewodwa angafeza okuningi. Kuqala lapho ebeka izandla kumuntu othile, kwakuwukubusisa nokuphulukisa umuntu. Yileyo ndlela uMoya oNgcwele owawusebenza ngayo ngaleso sikhathi kodwa manje akusenjalo. Manje uMoya oNgcwele usebenzisa amazwi emsebenzini Wakhe ukuze athole imiphumela. Usenze amazwi Akhe acaca kini futhi kumele nje niwasebenzise. Amazwi Akhe ayintando Yakhe futhi abonisa umsebenzi azowenza. Ngamazwi Akhe, ungayiqonda intando Yakhe nalokho akucela ukuba ukwenze. Uvele nje usebenzise amazwi Akhe ngaphandle kokubeka izandla. Abanye bangase bathi, “Beka izandla Zakho phezu kwami! Beka izandla Zakho phezu kwami ukuze ngithole isibusiso Sakho futhi ngihlanganyele Nawe.” Zonke lezi zindlela zokwenza seziphelelwe isikhathi futhi azisamukelekile ngoba inkathi isiguqukile. UMoya oNgcwele usebenza ngokuhambisana nenkathi, hhayi nje ngokuthanda noma ngemithetho ebekiwe. Inkathi isiguqukile futhi inkathi entsha kumele ifike nomsebenzi omusha. Lokhu kuyiqiniso ngazo zonke izigaba zomsebenzi futhi umsebenzi Wakhe awuphindwa nhlobo. ENkathini Yomusa, uJesu wenza umsebenzi omningi, njengomsebenzi wokuphulukisa, ukuxosha amadimoni, ukubeka izandla kubantu ngokubathandazela nokubabusisa. Nokho, ukuqhubeka nokwenza lowo msebenzi namuhla ngeke kusize ngalutho. UMoya oNgcwele wasebenza ngaleyo ndlela ngaleso sikhathi ngoba kwakuyiNkathi Yomusa futhi umuntu wayeboniswe umusa owanele ukuze ajabule. Akudingekanga ukuba umuntu akhokhe okuthile ukuze athole umusa, kuphela nje uma enokholo. Bonke babephathwe ngomusa. Manje inkathi isiguqukile futhi umsebenzi kaNkulunkulu usuqhubekele phambili; ngokusola nokwahlulela Kwakhe, ukuvukela komuntu nezinto ezingcolile kumuntu zizokhishelwa ngaphandle. Njengoba kwakunjalo ngesigaba sokukhululwa, uNkulunkulu kwadingeka ukuba enze umsebenzi onjalo, ebonisa abantu umusa owanele ukuba bajabule ngawo, ukuze akhulule umuntu esonweni, nangomusa wamxolela umuntu izono zakhe. Lesi sigaba senzelwe ukwambula ububi kumuntu ngokusola, ukwahlulela, ukushaya kwamagama ukuze ngemva kwalokho basindiswe. Lo msebenzi ujule kakhulu kunokukhulula isintu. NgeNkathi Yomusa, umuntu wathola umusa owanele futhi wayesewutholile kakade lo musa futhi awusakulungele ukuba utholwe ngabantu. Umsebenzi onjalo manje usuphelelwe yisikhathi futhi angeke usenziwa. Manje, umuntu usindiswa ngokwahlulelwa yizwi. Ngemva kokwahlulelwa, kokusolwa nangemva kokucwengwa komuntu, ubuntu bakhe buyaguquka. Ingabe lokhu akungenxa yamazwi engiwakhulumile? Isigaba ngasinye somsebenzi senziwe ngokuvumelana nokuthuthuka kwaso sonke isintu nenkathi. Wonke umsebenzi unokuthile kuwo okubalulekile; wenzelwa ukusindisa kokugcina, ukuze isintu sibe nekusasa elihle nokuthi ekugcineni umuntu ahlukaniseke ngokohlobo ayilo.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 14)

Isigaba somsebenzi kaMoya oNgcwele ngasinye sidinga ubufakazi bomuntu ngaso leso sikhathi. Isigaba ngasinye somsebenzi siyimpi ephakathi kukaNkulunkulu noSathane, futhi okuliwa nakho uSathane, kube ozolungisiswa ngomsebenzi wakhe kuwumuntu. Ukuthi ngabe umsebenzi kaNkulunkulu ungathela izithelo yini kuncike endleleni umuntu afakazela uNkulunkulu ngayo. Lobu bufakazi yibo obudingwa uNkulunkulu kulabo abamlandelayo; wubufakazi obenziwa phambi kukaSathane, futhi ubufakazi bomthelela womsebenzi Wakhe. Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso “ngokubonakala Kwezwi enyameni,” futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho. Uma umuntu ekhula emandleni okusebenzisana noNkulunkulu ngokweqiniso, iyakhula indlela adumisa ngayo uNkulunkulu. Ukusebenzisana Naye komuntu kuwubufakazi okudingeka ukuthi abe nabo, futhi ubufakazi anabo buwukwenza komuntu. Ngakho, ukuthi ngabe umsebenzi kaNkulunkulu unomthelela ofunekayo, nokuthi ngabe bukhona ubufakazi bangempela, kuxhunyaniswe kakhulu nokusebenzisana kanye nobufakazi bomuntu. Uma sewuqediwe umsebenzi, okusho ukuthi, uma konke ukuphatha kukaNkulunkulu kufinyelela esiphethweni, umuntu kuzodingeka ukuthi abe nobufakazi obuphakeme kakhulu, futhi uma umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela esiphethweni, ukungena komuntu kufinyelela esicongweni. Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke. Namuhla, kudingeka ukuthi umuntu alalele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu futhi abe nothando oluphakeme lukaNkulunkulu, futhi ekugcineni kudingeka ukuthi aqhubeke nokuthanda uNkulunkulu phakathi kokuhlushwa. Lezi zigaba ezintathu zidingwa uNkulunkulu kumuntu, isinyathelo nenesinyathelo, ekuphatheni Kwakhe kukonke. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane. Uma sekufika leso sikhathi, umsebenzi kaNkulunkulu uyobe usufinyelele ekupheleni, futhi ukusebenzisana komuntu noNkulunkulu ukuze afinyelele ekuguqukeni kwesimo sakhe kuyobe kungasekho, futhi isintu sonke siyophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, futhi kusukela lapho, ngeke kusaba khona ukuhlubuka kuNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke esafuna lutho kumuntu, futhi kuzoba nokusebenzisana okuhle phakathi komuntu noNkulunkulu, okunye kwakho kuzoba impilo yomuntu noNkulunkulu ngokuzwana, impilo evela emuva kokuba ukuphatha kukaNkulunkulu sekuqedwe nya, futhi nomuntu esesindiswe uNkulunkulu ngokugcwele ekuxhakathisweni nguSathane. Labo abangakwazi ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu abakwazi ukuthola lolo hlobo lwempilo. Bazobe sebezehlisele ebumnyameni, lapho beyokhala futhi bagedle amazinyo abo; bangabantu abakholwa kuNkulunkulu kodwa abangamlandeli, abakholwa uNkulunkulu kodwa abangalaleli wonke umsebenzi Wakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 15)

Kuwoi wonke umsebenzi wokuphatha, umsebenzi obaluleke kakhulu umsebenzi wokusindisa abantu ethonyeni likaSathane. Umsebenzi ophambili ukunqotshwa okuphelele komuntu okhohlakele, ngaleyo ndlela kubuyiselwe esimweni esiyiso ukuhlonipha kwasekuqaleni uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu onqotshiwe, futhi avunyelwe ukuba aphile ukuphila okujwayelekile, okuwukuthi, ukuphila okujwayelekile kwesidalwa sikaNkulunkulu. Lo msebenzi ubucayi futhi uwumgogodla womsebenzi wokuphatha. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso, isigaba sokuqala somsebenzi weNkathi Yomthetho sasikude nomongo womsebenzi wokuphatha; sasinenswebu encane yomsebenzi wokusindisa, futhi sasingesona isiqalo somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Isigaba sokuqala somsebenzi senziwa uMoya ngokuqondile, ngenxa yokuthi ngaphansi komthetho, umuntu wayazi kuphela ukunamathela emthethweni, wayengenalo iqiniso elengeziwe, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi weNkathi Yomthetho kwakwethukela uhlanganisa izinguquko esimweni somuntu, kuncane kakhulu okwakubandakanyekile emsebenzini wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Ngakho uMoya kaNkulunkulu waqeda lesi sigaba esiphakeme somsebenzi esasingahlanganisi isimo esikhohlakele somuntu. Lesi sigaba somsebenzi sazala ubuhlobo emsebenzini owumgogodla wokuqondisa, futhi asihlanganisi lutho olutheni emsebenzini osemthethweni wensindiso, futhi awudingi ukuba uNkulunkulu abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi owenziwa uMoya awukho obala, futhi awuqondakali, uphinde wesabeke ngokujulile futhi umuntu akakwazi ukusondela kuwo; kunzima ngoMoya ukuba uqondise umsebenzi wensindiso, nokunikeza umuntu ukuphila ngokuqondile. Okufaneleka kakhulu ngomuntu ukuba aguqule umsebenzi kaMoya uvumelane naye, okusho ukuthi, lokho okufaneleka kumuntu ukuthiuNkulunkulu abe umuntu ojwayelekile, ovamile ukuze enze umsebenzi Wakhe. Lokhu kudinga uNkulunkulu osesimweni somuntu ozokwenza umsebenzi kaMoya, futhi kumuntu ayikho indlela efanelekayo yomsebenzi kaNkulunkulu. Phakathi kwalezi zigaba ezintathu, izigaba ezimbili zenziwa inyama, futhi lezi zigaba ezimbili ziwumgogodla womsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa. Ababili abasamuntu bayaphelelisana. Isigaba sokuqala sikaNkulunkulu osesimweni somuntu sabeka isisekelo sesigaba sesibili, futhi kungashiwo ukuthi oNkulunkulu ababili abasamuntu bayaphelelisana, futhi bayavumelana. Lezi zigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa uNkulunkulu ngomzimba Wakhe wenyama ngoba zibaluleke kakhulu emsebenzini kaNkulunkulu wokuphatha. Kungacishe kushiwo ukuthi, ngaphandle komsebenzi woNkulunkulu ababili abasamuntu, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ubuyoma nse futhi umsebenzi wokusindisa isintu uyoba izinkulumo nje ezingasho lutho. Ukubaluleka nokungabaluleki kwalo msebenzi kuncike ezidingweni zabantu, nokuthi sikhohlakele ngezinga elingakanani isintu, nesimo sokungalaleli kukaSathane nokuphazamisa kwaso umsebenzi. Lowo ofanele owulungele umsebenzi uphakanyiswe ngokwesimo somsebenzi owenziwa yisisebenzi, nokubaluleka komsebenzi. Uma kuziwa ekubalulekeni kwalo msebenzi, ekutheni iyiphi indlela okufanele isetshenziswe—umsebenzi owenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, noma owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, noma owenziwa umuntu—umsebenzi oyoqedwa kuqala owenziwa umuntu, futhi, ngenxa yohlobo lomsebenzi, kanye nomsebenzi kaMoya okanye nomsebenzi wenyama, ekugcineni kuyonqunywa ukuthi umsebenzi owenziwa inyama umzuzisa kangcono yini umuntu kunomsebenzi owenziwa uMoya, futhi unezinzuzo eziningi. Lona umcabango uNkulunkulu ngaleso sikhathi anquma ngawo ukuthi umsebenzi wenziwa uMoya noma inyama. Kunokubaluleka nezisekelo ezisesigabeni ngasinye somsebenzi. Aziyona nje imicabango engasekelwe ndawo, futhi azenziwa nje ngokungalandeli mgomo; kunokuhlakanipha okuthile kuzo. Linjalo iqiniso elisemva kwawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu. Ngokukhethekile, kunohlelo oluthe xaxa lukaNkulunkulu emsebenzini onjalo njengoba uNkulunkulu osesimweni somuntu esebenza mathupha Phakathi kwabantu. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nobuyena bonke kuvezwe kuzo zonke izenzo Zakhe, ukucabanga, umqondo ekusebenzeni; lokhu kungubunjalo bukaNkulunkulu obuphathekayo futhi obinohlelo. Le micabango nemicabango ecashile inzima kakhulu ukuba umuntu ayicabange, futhi kunzima kumuntu ukuba ayikholwe, ngaphezu kwalokho, kunzima ukuthi umuntu ayazi. Umsebenzi owenziwe umuntu ungowemigomo evamile, ngokomuntu, okwenelisa kakhulu. Kodwa uma uqhathaniswa nomsebenzi kaNkulunkulu, kuba nomehluko omkhulu; nakuba izenzo zikaNkulunkulu zinkulu futhi umsebenzi kaNkulunkulu usezingeni elikhulu, emva kwawo kunezinhlelo namalungiselelo okuncanyana nokuqonde ngqo umuntu angenakukucabanga. Zonke izigaba zomsebenzi womuntu azisekelwe emgomeni kuphela, kodwa futhi ziphethe izinto eziningi ezingeke zikhulumeke ngolimi lwabantu, futhi lezi izinto ezingabonakali emehlweni omuntu. Kungakhathaleki ukuthi umsebenzi kaMoya noma kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ngamunye uqukethe izinhlelo zomsebenzi Wakhe. Akasebenzi ngokungenasisekelo, futhi akenzi umsebenzi ongabalulekile. Lapho uMoya usebenza ngokuqondile kusuke kungenxa yemigomo Yakhe, futhi lapho eba umuntu (okungukuthi, lapho eguqula ingxenye Yakhe yangaphandle) ukuze asebenze, kusuke kungokwenjongo Yakhe kakhulu. Yini enye engamenza aguqule isiqu Sakhe kalula nje? Yini enye engamenza abe ngumuntu obhekwa njengophansi futhi ohlushwayo?

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 16)

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo kwehlukene noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo noma kunjalo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nenyama nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bawukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esesimweni somuntu kukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye wayengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye ungowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yilezi zizathu ezenze baphile emazweni ukuze benze umsebenzi okumele bobabili bawenze, nasezikhathini ezehlukene futhi. Ngaphandle kokuba Moya munye, banengqikithi eyodwa, akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, ekugcineni, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi, ububona Babo bonke buphethe uMoya Wabo, obahlukanisela umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, nenyama Yabo uyinike izinhlobo ezehlukene zegazi. UMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokusolwa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu; futhi ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukhona ukuba namandla onke kukaNkulunkulu? Wakwazi kokubili ukushayela abantu imithetho nokumnika imiyalelo, futhi wakwazi ukuhola ama-Israyeli asendulo ukuba aphile izimpilo zawo emhlabeni aphinde awaqondise ukuba akhe ithempeli nama-altare, ebusa phezu kwawo wonke ama-Israyeli. Ngokwethembela egunyeni Lakhe, wahlala nabo emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Abakwa-Israyeli bebengelokothe bamhlubuke; bonke babehlonipha uJehova kakhulu begcina imiyalelo Yakhe. Lo kwakuwumsebenzi owenziwa ngokwethembela egunyeni Lakhe nokuba namandla onke Kwakhe. Kwathi, eNkathini Yomusa, uJesu weza ukuzohlenga sonke isintu esiwile (hhayi ama-Israyeli kuphela). Wakhombisa umusa nesisa kubantu. UJesu owabonwa abantu eNkathini Yomusa wayegcwele isisa futhi wayehlala enothando kubantu, ngoba wayeze ukuzosindisa isintu esonweni. Wayekwazi ukuxolela abantu izono zabo kwaze ukubethelwa Kwakhe kwasindisa isintu ngokuphelele ezonweni. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wavela kubantu ngomusa nangesisa; okusho ukuthi, waba ngumnikelo wesono wabantu futhi wabethelwa ngenxa yezono zabantu ukuze baxolelwe kuze kube phakade. Wayenomusa, uzwelo, ukubekezela nothando. Futhi bonke labo ababelandela uJesu ngeNkathi Yomusa ngokufanayo babefuna ukuba nokubekezela nothando kuzo zonke izinto. Babebekezela, futhi abazange baziphindiselele ngisho sebeshaywa, beqalekiswa, noma bekhandwa ngamatshe. Kodwa akunjalo kulesi sigaba sokugcina. Ngokufanayo, noma uMoya wabo wawumunye, umsebenzi kaJesu nokaJehova wawungafani ncimishi. Umsebenzi kaJehova wawungewona owokuqeda inkathi kodwa ukuyiqondisa, ungenisa impilo yesintu emhlabeni. Noma kunjalo, umsebenzi manje ukunqoba labo bantu abonakaliswe kakhulu ezizweni zabeZizwe, nokungaholi kuphela abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo eShayina kodwa umhlaba wonke jikelele naso sonke isintu. Kungabonakala kuwe ukuthi lo msebenzi wenziwa kuphela eShayina, kodwa empeleni, usuqalile ukwanda naphesheya. Kungani abantu abavela kwamanye amazwe, njalo nje, befuna indlela yangempela? Kungenxa yokuthi uMoya useqalile ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi amazwi akhulunywayo manje aseqondiswe kubantu bomhlaba wonke jikelele. Ngalokhu, ingxenye yomsebenzi isiqalile. Ukusuka ekudalweni komhlaba kuze kufike manje uMoya kaNkulunkulu useqale umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ngaphezu kwalokho sewenze imisebenzi ehlukene ngezinkathi ezahlukene futhi ezizweni ezahlukene. Abantu benkathi ngayinye babona isimo Sakhe esehlukile, esivezwa ngokwemvelo yimisebenzi ehlukene ayenzayo. UnguNkulunkulu, ogcwele umusa nesisa, ungumnikelo wesono wabantu futhi ungumelusi wabantu kepha ubuye abe ukwahlulelwa komuntu, ukusola nesiqalekiso. Angahola umuntu ukuba aphile emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili abuye ahlenge isintu esonakele esonweni. Namuhla, uyakwazi nokunqoba isintu esingamazi asenze sibe ngaphansi kombuso Wakhe, ukuze sonke sizithobe ngaphansi Kwakhe ngokuphelele. Ekugcineni, uzoshisa konke okungcolile nokungalungile kubantu emhlabeni wonke jikelele, ukubakhombisa ukuthi akayena uNkulunkulu womusa nothando kuphela, uNkulunkulu wobuhlakani nezimangaliso kuphela, uNkulunkulu ongcwele kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, unguNkulunkulu owahlulela abantu. Kulabo ababi phakathi kwabantu, ungukushisa, ukwahlulela kanye nokusola; kulabo okufanele bapheleliswe, uwukuhlupheka, ukucwengwa, ukulingwa kanye nokunethezeka, ukuhlinzekwa, ukunikezwa amazwi, ukubheka, nokuthena. Kanti kulabo abakhishiwe, uwukujezisa kanye nokushaywa.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 17)

Emva kokwenza umsebenzi Wakhe weminyaka eyizi-6,000 kuze kube yimanje, uNkulunkulu ubesenze izenzo eziningi, okukhulu kuwukunqoba uSathane nokusindisa sonke isintu. Usebenzisa leli thuba ukuvumela konke okusezulwini, konke okusemhlabeni, konke okusolwandle nakho konke okudalwe uNkulunkulu emhlabeni ukuthi kubone ukuba ngusomandla Kwakhe babone nezenzo zikaNkulunkulu. Uthatha ithuba lokunqoba uSathane ukuze aveze izenzo Zakhe esintwini ukuze abantu bezomdumisa baphakamise ukuhlakanipha Kwakhe kokunqoba uSathane. Konke okusemhlabeni, ezulwini nangaphansi kolwandle kudumisa Yena, kubabaza ubukhulu Bakhe, kubonga izenzo Zakhe zonke kumemeza igama Lakhe elingcwele. Lobu ubufakazi bokunqoba Kwakhe uSathane; okubaluleke kakhulu, kungubufakazi bokusindisa Kwakhe isintu. Yonke indalo kaNkulunkulu iyamkhazimulisa, idumise ukunqoba Kwakhe isitha nokuphumelela Kwakhe imbonge njengeNkosi enkulu enqobile. Inhloso Yakhe akusikho ukunqoba uSathane kuphela, ngakho-ke, umsebenzi Wakhe uqhubeke iminyaka eyizi-6,000. Usebenzisa ukunqoba Kwakhe uSathane ukusindisa isintu; usebenzisa ukunqoba uSathane ukuveza izenzo Zakhe nokwembula udumo Lwakhe. Uzoluthola udumo, nezingelosi zonke zizobona udumo Lwakhe. Izithunywa ezulwini, abantu emhlabeni nayo yonke indalo emhlabeni izobona udumo loMdali. Lona ngumsebenzi awenzayo. Zonke izidalwa Zakhe ezulwini nasemhlabeni zizobona udumo Lwakhe, uzobuya enqobile emva kokuhlula uSathane bese isintu siyamdumisa. Uzobe esephumelele ekufezeni kokubili. Ekugcineni sonke isintu sizonqotshwa Nguye, uzobe esebhubhisa bonke abamenqabayo noma abahlubukayo, okungukuthi, uzobhubhisa bonke abangabaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 18)

Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, futhi okwakuyindawo engcwele ayekhona kuyo. Wawugcina umsebenzi wakhe ukubantu bakwa-Israyeli kuphela. Ekuqaleni, akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli, kodwa kunalokho, wakhetha abantu abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli yindawo lapho uNkulunkulu adala khona u-Adamu no-Eva, futhi ngothuli lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; le ndawo yaba yisizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni. Abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa babeyinzalo ka-Adamu futhi, babeyisisekelo esingabantu somsebenzi kaJehova emhlabeni.

Ngalesi sikhathi, ukubaluleka, inhloso, kanye nezigaba zomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli kwakungukuqala umsebenzi Wakhe emhlabeni wonke, okwathi, uthatha u-Israyeli njengesizinda sawo, waya ngokuya wandela kwabeZizwe. Lesi yisimiso asebenza ngaso emhlabeni wonke jikelele—ukwakha isibonelo bese esandisa baze bonke abantu emhlabeni jikelele balemukele ivangeli Lakhe. Ama-Israyeli okuqala kwakuyinzalo kaNowa. Labo bantu babefakwe kuphela umphefumulo kaJehova futhi babeqonda ngokwenele ukunakekela izidingo eziyisisekelo zempilo, kodwa babengamazi ukuthi uyinhloboni kaNkulunkulu uJehova, noma isifiso Sakhe ngomuntu futhi bengayazi intando yakhe ngomuntu, ingasaphathwa eyokwazi ngisho ukuthi kufanele bayihloniphe kanjani iNkosi yendalo yonke. Okokuthi yayikhona imigomo nemithetho okwakufanele ilalelwe[a], noma ukuthi imuphi umsebenzi izidalwa okufanele ziwenzele uMdali, inzalo ka-Adamu yayingazi lutho ngalezi zinto. Konke ababekwazi nje ukuthi umyeni kufanele ajuluke futhi asebenze ukuze ondle umndeni wakhe, nokuthi inkosikazi kufanele ithobele umyeni wayo, futhi yandise uhlanga lwabantu uJehova abadalile. Ngamanye amazwi, abantu abanjalo, ababenomphefumulo kaJehova kanye nokuphila Kwakhe, babengazi lutho ngendlela yokulandela imithetho kaNkulunkulu noma ukwenelisa iNkosi yendalo yonke. Babenokuqonda okuncane kakhulu. Ngakho-ke nakuba kwakungekho lutho olugwegwile noma oluwubuqili ezinhliziyweni zabo, futhi umona nokuphikisana kwakungavamile ukuvuka phakathi kwabo, noma kunjalo babengenalo ulwazi noma ukuqonda uJehova, iNkosi yendalo yonke. Labo khokho bomuntu babazi nje ukuphela ukudla izinto zikaJehova, nokuthokozela izinto zikaJehova, kodwa babengakwazi ukuhlonipha uJehova; babengazi ukuthi uJehova Nguye yedwa okufanele bamkhonze beguqe ngamadolo. Ngakho babengabizwa kanjani ngezidalwa Zakhe? Uma kwakunjalo, kuthiwani ngamagama athi, “uJehova uyiNkosi yendalo yonke” nathi “Wadala umuntu ukuze amveze, amkhazimulise, futhi ammele,”—kwakungeke kube ayekhulunyelwa ize? Kwakungenzeka kanjani ukuthi abantu abangamhloniphi uJehova babe ofakazi benkazimulo Yakhe? Babengaba kanjani ukuvezwa kwenkazimulo Yakhe? Ingabe amazwi kaJehova athi “Ngadala umuntu ngomfanekiso Wami” abe esephenduka isikhali esandleni sikaSathane—lo omubi? La mazwi ayengeke yini abe uphawu lokululazeka kokudala umuntu kukaJehova? Ukuze aqede leso sigaba somsebenzi, uJehova, emuva kokudala isintu, akazange abayalele noma abaqondise ukusuka esikhathini sika-Adamu kuya kwesikaNowa. Kodwa, kwaze kwaba emuva kokuba uzamcolo usubhubhise umhlaba lapho aqala khona ngokusemthethweni ukuhola abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa neka-Adamu futhi. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe kwa-Israyeli kwanika ukuqondiseka kubo bonke abantu ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngalokho kwakhombisa isintu ukuthi uJehova akakwazi nje kuphela ukuphefumulela umphefumulo kumuntu, ukuze abenempilo evela Kuye, futhi aphakame othulini abe yisidalwa sikaNkulunkulu, kodwa nokuthi wayengangqongqisa isintu ngomlilo, futhi aqalekise isintu, aphinde asebenzise induku Yakhe ukuphatha isintu. Nabo-ke, babona ukuthi uJehova angayihola impilo yomuntu emhlabeni, futhi akhulume aphinde asebenze phakathi kwesintu ngokwamahora emini nawobusuku. Wenza umsebenzi ukuze izidalwa Zakhe zazi ukuthi umuntu wavela othulini olwalucoshwe Nguye, nokuthi ngaphezulu kwalokho, umuntu wayenziwe Nguye. Hhayi lokhu kuphela, kodwa umsebenzi awuqala ku-Israyeli wenziwa ukuze abanye abantu nezizwe (ababengahlukene empeleni no-Israyeli, kodwa ababexhante besuka kubantu bakwa-Israyeli, kodwa beseyinzalo ka-Adamu no-Eva) bathole ivangeli likaJehova ku-Israyeli, ukuze zonke izidalwa ezweni lonke zimhloniphe futhi zimbone emkhulu. Ukuba uJehova wayengawuqalanga umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli, kodwa esikhundleni salokho wathi esesidalile isintu, wasidedela saphila impilo yokuzibonela emhlabeni, ngenxa yemvelo yomzimba womuntu (imvelo ichaza ukuthi umuntu akasoze azi izinto angaziboni, okungukuthi, wayengeke azi ukuthi uJehova wadala isintu, kungasaphathwa okokuthi wamdalelani), wayengasoze azi ukuthi uJehova wadala isintu nokuthi uyiNkosi yezinto zonke. Ukuba uJehova wayedale umuntu wayesembeka emhlabeni, wayesesula izandla Zakhe wamshiya kunokuthi ahlale phakathi kwabantu ukuze abahole isikhathi esithile, khona-ke sonke isintu sasiyophetha ngokushabalala. Ngisho izulu nomhlaba nazo zonke izinto eziningi azidala, kanye nesintu sonke, kwakuyophetha ngokushabalala kugxotshwe ngezinyawo nguSathane. Ngakho isifiso sikaJehova sokuba, “Emhlabeni, okusho ukuthi, phakathi kwendalo Yakhe, kufanele abe nendawo yokuma, indawo engcwele” sasiyodicileleka phansi. Ngakho-ke, emuva kokudala isintu, ukuthi wakwazi ukuhlala phakathi kwaso, ukuze asiqondise ezimpilweni zaso, futhi akhulume naso ephakathi kwaso, konke lokhu kwakungokokufeza isifiso sakhe, nokufeza uhlelo Lwakhe. Umsebenzi awenza kwa-Israyeli wawuqonde kuphela ukufeza uhlelo ayekade eluhlelile ngaphambi kokudala Kwakhe zonke izinto, ngakho-ke ukusebenza Kwakhe kokuqala phakathi kwabakwa-Israyeli nokudala Kwakhe zonke izinto kwakungaphikisani, kodwa kokubili kwakungenxa yokuphatha Kwakhe, umsebenzi Wakhe, kanye nenkazimulo Yakhe, kwajulisa injongo yokudala Kwakhe isintu. Wayiqondisa impilo yesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili emuva kukaNowa, okuyisikhathi owafundisa ngaso isintu ukuthi siqonde indlela yokuhlonipha uJehova, iNkosi yezinto zonke, wabafundisa ukuthi baziphathe kanjani futhi baqhubeke kanjani nokuphila, nakakhulu, ukuthi bamfakazele kanjani uJehova, bamlalele, baphinde bamhloniphe, futhi bamdumise ngomculo njengoDavide nabapristi bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni awunalo igama elithi “ilalelwe.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 19)

Ngaphambili kwezinkulungwane ezimbili zeminyaka lapho uJehova enza khona umsebenzi Wakhe, umuntu wayengazi lutho, futhi cishe bonke abantu base bewele enkohlakalweni, kwaze kwaba yisikhathi, ngaphambi kukazamcolo, sebefike ekujuleni kobufebe nokonakala lapho izinhliziyo zabo zazingasenaye uJehova, kungasaphathwa okwendlela Yakhe. Abazange neze baqonde umsebenzi uJehova ayezowenza; babengenawo umqondo wokucabanga, lungasaphathwa ulwazi, benjengomshini ophilayo ophefumulayo, bengenalwazi nhlobo ngomuntu, ngoNkulunkulu, ngomhlaba, kanye nempilo ngokufanayo. Emhlabeni bangena ekwenzeni ukuyenga okuningi, njengenyoka, futhi bakhuluma izinto eziningi azazimcasula uJehova, kodwa ngoba babengenalwazi uJehova akazange abasole noma abaqondise. Kungemuva kukazamcolo kuphela, lapho uNowa eseneminyaka engama-601, lapho uJehova wazibonakalisa ngokomthetho kuNowa wabe esemqondisa yena nomndeni wakhe, ehola izinyoni nezilwane ezasinda kuzamcolo Kanye noNowa nozalo lwakhe, kwaze kwabasekupheleni kweNkathi Yomthetho, iminyaka eyizi-2,500 seyiphelele. Wayesebenza ku-Israyeli, okungukuthi, ukusebenza ngokomthetho, isamba seminyaka eyizi-2,000, kanti isikhathi lapho ayesebenza kwa-Israyeli nangaphandle kwakhona sasiyiminyaka engama-500, okwenza iminyaka eyizi-2,500 uma sekuhlangene. Ngale nkathi, watshela abakwa-Israyeli ukuthi ukukhonza uJehova, kufanele bakhe ithempeli bagqoke izingubo zobupristi, futhi bangene bengafake zicathulo ethempelini entathakusa, zingaze izicathulo zabo zingcolise ithempeli bese kwehla umlilo phezulu ethempelini ubashise bafe. Bayenza imisebenzi yabo futhi bathobela izinhlelo zikaJehova. Bakhuleka kuJehova ethempelini, kwathi emuva kokuba sebethole isambulo sikaJehova, okungukuthi, emuva kokuthi uJehova esekhulumile, bahola izihlwele futhi bazifundisa ukuthi zimhloniphe kakhulu uJehova—uNkulunkulu wazo. Futhi uJehova wabatshela ukuthi kufanele bakhe ithempeli ne-altare, bese kuthi ngesikhathi esibekwe uJehova, okungukuthi, ngePhasika, kufanele balungise ethempelini amathole namawundlu asanda kuzalwa njengemihlatshelo yokukhonza uJehova, ukubanqanda kanye nokufaka inhlonipho enkulu kaJehova ezinhliziyweni zabo. Ukuthi bayawulalela yini lo mthetho kwaba isilinganiso sokuthembeka kwabo kuJehova. UJehova wabeka nosuku lweSabatha kubo, usuku lwesikhombisa lokudala Kwakhe. Usuku emuva kwalokho walwenza usuku lokuqala, usuku lwabo lokuba bakhonze uJehova, balethe imihlatshelo, futhi benze umculo Kuye. Ngalolu suku, uJehova wabizela ndawonye bonke abapristi ukuze babe imihlatshelo e-altare ukuze abantu badle, ukuze bathokozele imihlatshelo e-altare likaJehova. Futhi uJehova wathi babusisiwe, ukuthi babehlukaniselana ingxenyana naye, nokuthi babengabantu Bakhe abakhethiweyo (okwabe kuyisivumelwano sikaJehova nabakwa-Israyeli). Yingakho, kuze kube namuhla, abantu bakwa-Israyeli basathi uJehova nguNkulunkulu wabo bodwa, hhayi uNkulunkulu wezinye izizwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 20)

NgeNkathi Yomthetho, uJehova wabeka imiyalelo eminingi uMose okwakufanele ayidlulisele kwabakwa-Israyeli, abamlandela bephuma eGibhithe. UJehova wayinika le miyalelo abakwa-Israyeli, futhi yayingahlobene nabaseGibhithe; yayenzelwe ukungqanda abakwa-Israyeli. Wasebenzisa imiyalelo ukuze afune izinto kubo. Noma abantu babeligcina iSabatha, noma babehlonipha abazali babo, noma babekhonza izithixo, nokunye nokunye: lezi kwakuyizimiso abantu ababehlulelwa ngazo ukuthi banesono noma balungile. Phakathi kwabo, bakhona ababeshaywa ngumlilo kaJehova, abanye ababekhandwa ngamatshe, nabanye ababethola isibusio sikaJehova, futhi lokhu kwakunqunywa ngokuthi umuntu uyayilalela yini imiyalelo noma cha. Labo ababengaligcini iSabatha babekhandwa ngamatshe. Labo bapristi ababengaligcini iSabatha babeshaywa umlilo kaJehova. Labo ababengabalaleli abazali babo nabo babekhandwa ngamatshe. Konke lokhu kwakuvunywe nguJehova. UJehova wamisa imiyalelo Yakhe kanye nemithetho Yakhe ukuze kuthi lapho ebahola ezimpilweni zabo, abantu balizwe futhi balilalele izwi Lakhe futhi bangamhlubuki. Wasebenzisa le mithetho ukulawula uhlanga lwesintu olwalusanda kuzalwa, ukwakha isisekelo somsebenzi Wakhe owawuseza. Ngakho-ke, ngenxa yomsebenzi owenziwa uJehova, inkathi yokuqala yabizwa ngokuthi iNkathi Yomthetho. Nakuba uJehova wakhuluma amazwi amaningi futhi wenza umsebenzi omningi, wahola abantu ngendlela eyakhayo kuphela, efundisa laba bantu abengenalwazi ukuba babe kanjani ngabantu, baphile kanjani, bayiqonde kanjani indlela kaJehova. Ikakhulukazi, umsebenzi awenza kwakungowokwenza abantu baphile ngendlela Yakhe futhi balandele umthetho Wakhe. Umsebenzi wenziwa kubantu ababengakhohlakele ngokujulile; awuzange wenabele ekuguqulweni kwesimo noma ekukhuleni empilweni. Wayekhathalele kuphela ukusebenzisa imithetho ukunqanda nokulawula abantu. Kuma-Israyeli ngaleso sikhathi, uJehova wayenguNkulunkulu ethempelini nje, uNkulunkulu osemazulwini. Wayeyinsika yefu, eyinsika yomlilo. Konke uNkulunkulu ayefuna bakwenze kwakuwukuthi balalele lokhu abantu banamhlanje abakwazi njengemithetho Yakhe nemiyalelo—umuntu angaze athi nje imigomo—ngoba umsebenzi kaJehova wawungahlosile ukubaguqula kodwa ukubanika ezinye izinto umuntu okufanele abe nazo, ukubatshela ngomlomo wakhe uqobo, ngoba emuva kokudalwa, umuntu wayengazi lutho ngokuthi kufanele abe nani. Ngakho-ke uJehova wanika abantu izinto okufanele babe nazo ezimpilweni zabo emhlabeni, wenza abantu abaholayo ukuthi babedlule okhokho babo, u-Adamu no-Eva, ngoba lokho uJehova abanika khona kwakudlula lokho ayekade ekunike u-Adamu no-Eva ekuqaleni. Nakuba kunjalo, umsebenzi uJehova awenza kwa-Israyeli kwakungowokuqondisa isintu kuphela nokwenza isintu simazise uMdali waso. Akazange abanqobe noma abaguqule, wamane wabaqondisa. Lokhu yisamba somsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho. Yisendlalelo, indaba eyiqiniso, ingqikithi yomsebenzi Wakhe ezweni lonke lakwa-Israyeli nesiqalo somsebenzi Wakhe weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—ukulawula isintu ngesandla sikaJehova. Kulokhu kwazaleka umsebenzi omningi ohlelweni Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 21)

Ekuqaleni, ukuqondisa umuntu ngeNkathi Yomthetho yeTestamente elidala kwakufana nokuqondisa ingane. Isintu sokuqala sasingabantwana abazelwe bakaJehova; sasingama-Israyeli. Sasingenakho ukuqonda ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu noma indlela yokuphila emhlabeni. Okusho ukuthi, uJehova wadala isintu, okungukuthi, wadala u-Adamu no-Eva, kodwa akazange abanike imiqondo yokuqonda ukuthi bamhloniphe kanjani uNkulunkulu noma ukulandela imithetho kaJehova emhlabeni. Ngaphandle kokuqondisa mathupha kukaJehova, akekho ongakwazi ngokuqondile lokhu, ngoba ekuqaleni umuntu akazange abe nawo lo mqondo. Umuntu wazi kuphela ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, kodwa okokuthi ahlonishwe kanjani, iyiphi inhlobo yokuziphatha okwakubizwa ngokumhlonipha, umuntu wayengamhlonipha ngaluphi uhlobo lomqondo, noma, yikuphi okwakufanele akunikele ekumhlonipheni: umuntu wayengenamqondo nhlobo. Umuntu wayazi kuphela ukuthi akuthokozele kanjani lokho okwakungathokozelwa phakathi kwazo zonke izinto ezadalwa nguJehova, kodwa mayelana nokuthi iluphi uhlobo lokuphila emhlabeni olwalufanele isidalwa sikaNkulunkulu, wayengenalwazi nhlobo. Ngaphandle komuntu wokusiyalela, ngaphandle komuntu wokusiqondisa mathupha, lesi sintu sasingeke siphile impilo efanele isintu ngokwempela, kodwa sasiyothunjwa kuphela nguSathane ngesinyelela. UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho evamile yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa ngale ndlela kuphela umsebenzi kaJehova wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 22)

Umsebenzi owenziwa nguJesu wawuhambisana nezidingo zomuntu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ubumnene, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu kakhulu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ababengase bazithokozele, wabanika ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Izinhliziyo zabo zazinoxolo futhi ziqinisekile, umoya wabo wawududuzekile, futhi babeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi babengazuza lezi zinto kwakungumphumela wenkathi ababephila kuyo. ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu konke kwakungenxa yokuthi babezalwe eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu—njengoba uJesu athi: Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe. Ukuba uJesu waba senyameni ngesimo sokwahlulela, sesiqalekiso, nokungabekezeleli amacala abantu, abantu bebengeke balithole ithuba lokuhlengwa, futhi bebezohlala bona unomphelo. Ukuba kwakunjalo, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwaluyoma eNkathini yoMthetho, futhi iNkathi yoMthetho ngabe yaba iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Izono zabantu ngabe zakhula zaba nkulu zaba zimbi kakhulu, nokudalwa kwesintu kwakuzoba yize. Abantu bebezokwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphansi komthetho kuphela, kodwa izono zabo ngabe zingaphezulu kwalezo zabantu abadalwa kuqala. Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 23)

Yize uJesu, ekubeni senyameni kwakhe wayengenawo nhlobo umzwelo, wayehlala eduduza abafundi Bakhe, ebahlinzeka, ebasiza futhi ebaqinisa. Noma ngabe wenza umsebenzi ongakanani noma wahlupheka kangakanani, akazange afune okwedlulele kubantu, kodwa wayehlale ebekezela futhi eqiniselele izono zabo, kangangokuthi eNkathini yoMusa wayebizwa ngokuthandwa ngokuthi “uJesu onguMsindisi othandekayo.” Kubantu bangaleso sikhathi—kubo bonke abantu—lokhu uJesu ayenakho nayeyikho, kwakungumusa nothando. Akazange akhumbule ukona kwabantu, nokubaphatha Kwakhe kwakungasukeli ekoneni kwabo. Ngenxa yokuthi leyo kwakuyinkathi eyehlukile, wayevamise ukunika abantu ukudla nokokuphuza okwanele ukuze badle basuthe. Wayephatha bonke abalandeli Bakhe ngomusa, elapha abagulayo, ekhipha amadimoni, evusa abafile. Ukuze abantu bakholwe Kuye babone nokuthi konke lokhu ayekwenza wayekwenza ngeqiniso nangobuqotho, waze wavusa isidumbu esase sibola, ebakhombisa ukuthi ezandleni Zakhe ngisho nabafile bangabuye baphile. Ngale ndlela wabekezela buthule phakathi kwabo wenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga. Ngisho ngaphambi kokuthi abethelwe esiphambanweni, uJesu wayesevele ethwele izono zesintu waba umhlatshelo wezono zesintu. Nangaphambi kokubethelwa, wayesevele eyivulile indlela eya esiphambanweni ukuze ahlenge isintu. Ekugcineni wabethelwa esiphambanweni, wazidela ngenxa yesiphambano, wabeka bonke ububele Bakhe, nomusa wothando, nobungcwele phezu kwesintu. Esintwini wayelokhu enokubekezela, engafuni ukuziphindiselela, kodwa wasixolela izono zaso, wasincenga ukuthi siphenduke, wasifundisa ukubekezela, ukuqinisela, nothando, ukuthi silandele ezinyathelweni Zakhe futhi sizidele ngenxa yesiphambano. Uthando Lwakhe lwabazalwane lwedlula uthando Lwakhe ngoMariya. Umsebenzi awenza wathatha njengomgomo Wakhe ukuphilisa abantu nokukhipha amadimoni, konke ngenxa yokuhlenga Kwakhe. Noma ngabe wayeya kuphi, bonke ababemlandela wayebaphatha ngomusa. Wenza abampofu baba yizicebi, wahambisa izishosha, izimpumputhe zabona, izithulu zezwa; waze wamema nabaphansi abahlwempu, izoni, ukuthi zizodla Naye, engabaxwayi kodwa ebekezele, aze athi, “Uma umelusi elahlekelwa yimvu eyodwa kweziyikhulu, uzozishiya ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ayofuna eyodwa elahlekile, uma eyithola uyothokoza kakhulu.” Abalandeli Bakhe wayebathanda njengemvu ithanda amazinyane ayo. Yize bebeyizilima bengenalwazi, futhi beyizoni emehlweni Akhe, phezu kwalokho bengamalunga omphakathi aphansi kakhulu, wazibona lezi zoni—abantu ababenyanywa ngabanye—njengezithelo ezithandwa yiso Lakhe. Njengoba wayezithanda, wanikela ngempilo Yakhe ngenxa yazo, njengewundlu linikelwa elathini. Wahamba phakathi kwabo njengesisebenzi sabo, wabadedela bamsebenzisa bamhlaba, wabathobela ngaphandle kwemibandela. Kubalandeli Bakhe wayenguMsindisi uJesu othandekayo, kodwa kubaFarisi, ababefundisa abantu ezindaweni eziphakeme, akazange abonise umusa nothando lomusa, kodwa inzondo nokubenyanya. Akazange enze umsebenzi omkhulu kubaFarisi, wayebafundisa nje ngezinye izikhathi ebakhuza; akazange ahambe phakathi kwabo enza umsebenzi wokuhlenga, noma enze izibonakaliso nezimangaliso. Wethula wonke umusa nothando lwakhe kubalandeli Bakhe, ebekezela ngenxa yalezi zoni kwaze kwaba sekugcineni lapho ebethelwa esiphambanweni, ezwa konke ukwehliswa waze wasihlenga sonke isintu. Lokhu kwakuyisamba somsebenzi Wakhe.

Ngaphandle kokuhlenga kukaJesu, abantu babengaphila esonweni phakade, babe ngabantwana besono, isizukulwane samadimoni. Uma lokhu kuqhubeka, wonke umhlaba wawuyoba yindawo yokuhlala kaSathane, indawo yakhe yokwakha. Kodwa umsebenzi wokuhlenga wawudinga umusa nothando esintwini; yile ndlela kuphela abantu ebabethola ngayo intethelelo bese bethola ilungelo lokwenziwa baphelele futhi bazuzwe ngokuphelele. Ngaphandle kwalesi sigaba somsebenzi, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe aluzange luqhubeke. Ukube uJesu akazange abethelwe, ukuba welapha abantu nje kuphela wakhipha namadimoni, ngabe abantu abazange bathethelelwe izono zabo ngokuphelele. Kule minyaka emithathu nesigamu uJesu enza ngayo umsebenzi Wakhe emhlabeni, waqeda ingxenye kuphela yomsebenzi Wakhe wokuhlenga; kwase kuthi ngokubethelwa esiphambanweni nokuba umfanekiso wenyama enesono, ngokunikelwa esandleni somubi, wawufeza umsebenzi wokubethelwa waphumelelisa isiphetho sesintu. Abantu bahlengwa kuphela emva kokuthi esenikelwe ezandleni zikaSathane. Iminyaka engamashumi amathathu nesigamu wahlushwa emhlabeni, wenziwa inhlekisa, wathukwa, walahlwa, kwaze kwaseqophelweni lapho engasenandawo yokufihla ikhanda, engenandawo yokuphumula; wabe esebethelwa, ubuyena bonke—umzimba ongcwele nomsulwa—wabethelwa esiphambanweni. Wabekezelela lonke uhlobo lokuhlushwa olukhona. Labo ababesemandleni babembhinqa bemshaya, namasosha aze amkhafulela ebusweni; kodwa wathula wabekezela kwaze kwaba sekugcineni, ethoba ngokungenamibandela kwaze kwaba sekufeni, lapho ahlenga khona sonke isintu. Waze wavunyelwa lapho ukuba aphumule. Umsebenzi owenziwa nguJesu umele kuphela iNkathi yoMusa; awumele iNkathi yoMthetho, futhi awuthathi indawo yomsebenzi wezinsuku zokugcina. Lena yingqikithi yomsebenzi kaJesu eNkathini yoMusa, inkathi yesibili isintu esesedlule kuyo—iNkathi yokuHlengwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 24)

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. Isigaba ngasinye esisha somsebenzi kaNkulunkulu sihlala siletha ukuqala okusha nenkathi entsha. Ngakho-ke kanjalo kukhona ushintsho oluhambisanayo esimweni sikaNkulunkulu, endleleni Yakhe yokusebenza, endaweni yomsebenzi Wakhe, nasegameni Lakhe. Singama ngale ngokuthi kungani kunzima kumuntu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu enkathini entsha. Ngale kokuthi uphikiswa kanjani abantu, uNkulunkulu uhlale enza umsebenzi Wakhe, futhi uhlale eqondisa bonke abantu ebayisa phambili. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 25)

Uma abantu benale nala yomusa kodwa bengenayo indlela yokuphila ebenza bazi uNkulunkulu futhi banelise uNkulunkulu, lokho kusho ukuthi ngeke bamzuze Yena yize bekholelwa Kuye. Lolo uhlobo lokukholwa oludabukisayo. Uma usuqedile ukufunda le ncwadi, uma usuzibonile zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu osenyameni eNkathini Yombuso, uzozwa ukuthi amathemba eminyaka eminingi aseyabonakala. Uzozwa ukuthi kumanje kuphela lapho osubone khona uNkulunkulu ubuso nobuso; kumanje kuphela lapho ubheke khona ubuso bukaNkulunkulu, uzwe ukukhuluma kukaNkulunkulu, uthokozele ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, uzwe ngempela ukuthi unguNkulunkulu oyiqiniso futhi umninimandla onke. Nizozwa ukuthi senizuze izinto eziningi abantu benkathi edlule abangazange bakubona noma baba nakho. Ngalesi sikhathi, nizokwazi kahle ukuthi kuyini ukukholelwa kuNkulunkulu, nokuthi kuyini ukufuna inhliziyo kaNkulunkulu. Yebo, uma ninamathela emibonweni yakudala, nichithe noma niphike iqiniso likaNkulunkulu wenyama wesibili, kusho ukuthi nizosala ningenalutho ningatholanga lutho, ekugcineni nibe necala lokuphikisa uNkulunkulu. Labo abahlonipha iqiniso bazithobe emsebenzini kaNkulunkulu bazongena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu osenyameni okwesibili–uSomandla. Bazokwazi ukwamukela ukuholwa nguNkulunkulu, futhi bazothola okuningi neqiniso eliphakeme bathole nokuphila okuyiqiniso kwabantu. Bazobona umbono ongakaze ubonwe ngabantu bakudala: “Ngase ngiphenduka ngiqalaza leliphimbo elalikhuluma nami. Futhi lapho ngiphenduka, ngase ngibona izinduku zamakhandlela zegolide eziyisikhombisa; Futhi phakathi kwezinduku zamakhandlela ayisikhombisa kunofana neNdodana yomuntu, ombethe ingubo efinyelela ezinyaweni, futhi ebophe isifuba ngebhade legolide. Ikhanda Lakhe nezinwele Zakhe zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo Akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo Zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo Lakhe linjengamanzi amaningi. Futhi ephethe ngakwesokudla izinkanyezi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni Wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: nobuso Bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga” (IsAmbulo 1:12-16). Lo mbono ubonakalisa isimo esiphelele sikaNkulunkulu, kanti futhi umbono onjengalona wesimo Sakhe esiphelele ubonakalisa umsebenzi kaNkulunkulu uma eba yinyama ngalesi sikhathi. Ezikhukhuleni zokujezisa nokwahlulela, iNdodana yomuntu ibonakalisa isimo Sayo semvelo ngokukhuluma amazwi, ukuze bonke abemukela ukusola nokwahlulela Kwakhe babone ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ubuso obuyisibonakaliso esiyiqiniso sobuso beNdodana yomuntu obabonwa nguJohane. (Yebo, konke lokhu ngeke kubonakale kulabo abangawemukeli umsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.) Ubuso beqiniso bukaNkulunkulu ngeke buchazeke kahle ngamagama omuntu, ngakho-ke uNkulunkulu usebenzisa ukubonakalisa isimo Sakhe semvelo ukukhombisa abantu ubuso Bakhe beqiniso. Okungukuthi bonke labo ababone isimo semvelo seNdodana yomuntu babubonile ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ngoba uNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ngeke achazeke ngamagama abantu. Uma abantu sebesibonile isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso, bayobe sebeyazi incazelo eyiqiniso yamazwi uJohane awakhuluma eNdodaneni yomuntu phakathi kwezibani: “Ikhanda Lakhe nezinwele Zakhe zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo Akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo Zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo Lakhe linjengamanzi amaningi. Futhi ephethe ngakwesokudla izinkanyezi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni Wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: nobuso Bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga.” Ngaleso sikhathi, nizokwazi ngaphandle kokungabaza ukuthi le nyama ejwayelekile ekhulume amazwi amaningi kangaka ngempela inguNkulunkulu osenyameni okwesibili. Futhi nizokwazi ukuthi nibusiseke kangakanani, nizizwe ninenhlanhla enkulu. Ngeke nifise ukwamukela lesi sibusiso?

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 26)

Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayekwenza nje ukona bese evuma izono zawo ngokuwuchungachunge olungapheli ngaphandle kwenhloso yokuguqula izimo zawo: Sasinjalo isimo sabantu semvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 27)

Emsebenzini wezinsuku zokugcina, izwi linamandla amakhulu kunokuvezwa kwezibonakaliso nezimangaliso futhi igunya lezwi lingcono kunelezibonakaliso nezimangaliso. Izwi lembula zonke izimo zenkohlakalo ezisenhliziyweni yomuntu. Awukwazi ukuzibonela zona. Lapho zibonakaliswa kini ngezwi, niyobe senizibona ngokwemvelo; ngeke nikwazi ukuziphika, kunalokho niyokholwa ngokuphelele. Ingabe akusilo igunya lezwi leli? Lona ngumphumela womsebenzi wanamuhla wezwi. Ngakho, umuntu akakwazi ukusindiswa ezonweni zakhe ngokugcwele ngokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni futhi angeke enziwe aphelele ngokwambulwa kwezibonakaliso nezimangaliso. Igunya lokuphulukisa nelokuxosha amadimoni limnikeza umusa kuphela umuntu kodwa inyama yomuntu isengekaSathane futhi isimo esonakele sobusathane sisekumuntu. Ngamanye amazwi, lokho okungakahlanzwa kusengokwesono nokungcola. Kungemuva kokuba umuntu esehlanziwe ngamazwi kuphela lapho engazuzwa nguNkulunkulu futhi angcweliswe. Uma kungekho okwenziwe ngaphezu kokuxosha amadimoni kumuntu nokumkhulula, lokho kungukumsusa kuphela ezandleni zikaSathane nokumbuyisela kuNkulunkulu. Nokho, akakahlanzwa noma akakashintshwa nguNkulunkulu, futhi futhi usalokhu onakele. Phakathi kumuntu kusekhona ukungcola, ukuphikisa futhi nokuvukela; umuntu ubuyele kuphela kuNkulunkulu ngokukhululwa, kodwa akanalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu futhi usakwazi ukumelana noNkulunkulu futhi amkhaphele. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele. Isibonelo, lapho abantu sebazi ukuthi bayinzalo kaMowabi, bakhipha amazwi okukhononda, ababe besafuna ukuphila, futhi baba abantu abanombono ongemuhle nhlobo. Akukhombisi lokhu ukuthi abakakwazi ukuzinikela ngokugcwele ngaphansi kokubusa kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akusiso ngempela isimo esonakele sobusathane? Lapho ningafakiwe ekusolweni, izandla zenu zaziphakeme kakhulu kunezabanye, ngisho nakwezikaJesu. Nanimemeza ngezwi elikhulu: Yiba yindodana ethandekayo kaNkulunkulu! Yiba ngosondele kuNkulunkulu! Singamane sife kunanokuzinikela kuSathane! Vukelani udrako omkhulu obomvu! Akasuke emandleni udrako omkhulu obomvu! UNkulunkulu akasiphelelise! Ukumemeza kwenu kwakukukhulu kunokwabo bonke. Kodwa-ke kwase kufika izikhathi zokusolwa, kwase kuphinda kwembulwa isimo sabantu sokonakala. Ukumemeza kwabo kwase kuma, ababe besazimisela. Yilokhu ukonakala komuntu; kujulile kunesono, kutshalwe nguSathane kwagxiliswa ngokujulile futhi phakathi kumuntu. Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili. Umuntu wayememeza kanje kudala ngoba umuntu wayengenakho ukuqonda isimo sakhe sokudabuka esonakele. Kunjalo ukungcola okukumuntu. Kuso sonke lesi sikhathi eside sokwahlulelwa nokusolwa, umuntu ubephila emoyeni wodweshu. Akufezwanga konke lokhu ngezwi? Animemezanga ngezwi elikhulu phambi kokuhlushwa kwabenzi bomsebenzi? Wafika umbuso! Bonke labo abemukela leli gama bayongena embusweni! Bonke bayohlanganyela noNkulunkulu! Ngenkathi kuhlushwa abenzi bomsebenzi, anibange nisamemeza. Ekuqaleni bonke bamemeza, “Nkulunkulu! Noma ungibeka kuphi, ngiyovuma ukuholwa nguwe.” Ekufundeni amazwi kaNkulunkulu, “Ngubani oyoba uPawulu wami?” umuntu wathi, “Ngiyathanda!” Wayesebona amazwi, “Nithini ngokholo lukaJobe?” Ngakho wayesethi, “Ngizimisele ukuthatha ukholo lukaJobe. Nkulunkulu, ngicela ungivivinye!” Ngenkathi ukuhlushwa kwabenzi bomsebenzi kufika, wawa phansi zisuka nje wacishe wangakwazi ukusukuma. Emva kwalokho, ukungcola okusenhliziyweni yomuntu kwaya ngokuya kuncipha. Akufezwanga ngezwi lokhu? Ngakho lokhu esenikubonile kulesi sikhathi kuyimiphumela efezeke ngezwi, ingaphezulu ngisho kunaleyo eyafezeka ngokwenza kukaJesu izibonakaliso nezimangaliso. Inkazimulo negunya likaNkulunkulu uqobo okubonayo akubonakali ngokubethelwa, ukuphulukiswa kwezifo nokukhishwa kwamadimoni, kodwa ikakhulu ngokwahlulela kwakhe ngezwi. Lokhu kunikhombisa ukuthi akukhona kuphela ukwenza izimpawu zezibonakaliso, ukwelapha izifo nokukhipha amadimoni okuyigunya namandla kaNkulunkulu, kodwa ukwahlulela ngezwi kukwazi kangcono ukumela igunya likaNkulunkulu nokwembula ukuba namandla amakhulu Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 28)

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona. Kuyo yonke INkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukwenza umsebenzi Wakhe nokuthola imiphumela Yomsebenzi Wakhe; akenzi imimangaliso noma enze imilingo, wenza nje umsebenzi Wakhe ngezwi. Ngenxa yezwi, umuntu wondlekile wahlinzekwa; ngenxa yezwi umuntu uzuza ulwazi nokwazi. Umuntu eNkathini Yezwi uthole izibusiso ezikhethekile. Umuntu akezwa buhlungu enyameni kanti ujabulela ukuhlinzekwa okwanele ngezwi likaNkulunkulu; ngaphandle kokudinga ukufuna ngobumpumputhe noma ukuya phambili ngobumpumputhe, ekukhululekeni kwakhe, ubona isimo sikaNkulunkulu, amuzwe ekhuluma ngomlomo Wakhe; amukele lokho akuhlinzekayo, futhi ambone siqu Sakhe enza umsebenzi Wakhe. Enkathini edlule, umuntu ubengakwazi ukujabulela izinto ezifana nalezo nokuthi lezi yizibusiso abebengeke bazithole.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 29)

Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa. Yilokho okudingeka kwenziwe kulesi sigaba somsebenzi. Siyonqotshwa kanjani ngempela isintu? Siyonqotshwa kusetshenziswa umsebenzi wamazwi ukuze umuntu aqinisekiswe ngokugcwele; ngokusebenzisa isambulo, isahlulelo, isijeziso, nesiqalekiso esinonya ukuze anqotshwe ngokugcwele; nangokuveza ukuhlubuka komuntu nokwahlulela ukuphikisa kwakhe ukuze azi ngokungalungi kwesintu nokungcola, okuzosetshenziswa ukuze kuvezwe isimo sikaNkulunkulu sokulunga. Ngokuyinhloko, ukusetshenziswa kwala mazwi okuyonqoba umuntu futhi kumqinisekise ngokugcwele. Amazwi ayindlela isintu esiyogcina sinqotshwe ngayo, bonke abamukela ukunqoba kumele bamukele nokuhlaselwa kanye nokwahlulela kwamazwi. Inqubo yamanje yokukhuluma iyinqubo yokunqoba. Kufanele babambisane kanjani ngempela abantu? Ngokudla futhi baphuze la mazwi ngempumelelo nokuwaqonda. Abantu ngeke bazinqobe. Kumele, ngokudla nokuphuza la mazwi, ukwazi ukukhohlakala kanye nokungcola kwakho, ukuhlubuka nokungalungi kwakho, uwe phambi kukaNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu bese uyenza, uphinde ube nombono, futhi uma ungawalalela ngokugcwele la mazwi, ungenzi noma yini ezintweni ozikhethayo, khona-ke uyobe unqotshiwe. Futhi uyobe unqotshwe yila mazwi. Kungani isintu silahlekelwe ubufakazi? Kungoba akasekho nhlobo onokholo kuNkulunkulu noma onoNkulunkulu enhliziyweni yakhe. Ukunqoba isintu kusho ukuba nabantu abaningi ababuyisa lolu kholo. Abantu bahlale bethanda izwe, beba namathemba amaningi, ikusasa labo belifunela okuningi ngokwedlulele, futhi befuna izinto eziningi ezibizayo. Bahlale becabanga futhi behlelela inyama yabo futhi abanandaba nokufuna indlela yokukholwa kuNkulunkulu. Izinhliziyo zabo zithunjwe uSathane, abasamhloniphi uNkulunkulu, banikela izinhliziyo zabo kuSathane. Kodwa umuntu wadalwa uNkulunkulu. Ngakho umuntu walahlekelwa ubufakazi, okusho ukuthi walahlekelwa inkazimulo kaNkulunkulu. Inhloso yokunqoba isintu ukubuyisa inkazimulo yokuhlonipha komuntu uNkulunkulu. Kungabekwa ngale ndlela: Kunabantu abaningi abangaphishekeli ukuphila; ngisho noma kunabathile, inani labo lincane kakhulu. Abantu bakhathazeka kakhulu ngekusasa labo futhi abakunaki noma yikuphi ukuphila. Abanye abantu bayahlubuka futhi bamelane noNkulunkulu, bamsole futhi bangalenzi iqiniso. Okwamanje angibanaki laba labantu futhi okwamanje lesi sigaba samadodana okuhlubuka angisithatheli sinyathelo. Esikhathini esizayo uzophila ebumnyameni, okunokukhala nokugedla kwamazinyo. Awukuzwa ukuba yigugu kokukhaya uma uphila kuko, kodwa uzokuqaphela ukuba yigugu kwako lapho usuphila ebusuku obumnyama. Uzokuzwa ubuhlungu ngaleso sikhathi. Uzizwa ukahle okwamanje, kodwa usuku luzofika lapho uzokuzwa khona ubuhlungu. Lapho lolo suku lufika futhi kwehla ubumnyama nokukhanya kuyobe kungasekho, ukuzisola kwakho kuyobe sekwephuze kakhulu. Kungenxa yokuthi awukawuqondi umsebenzi wamanje ukuthi uyehluleka ukwazisa isikhathi sakho manje. Lapho umsebenzi wendawo yonke uqala, okuchaza ukuthi lapho yonke into engiyisho namuhla seyenzeka ngempela, abantu abaningi bazophakamisa amakhanda abo ngokukhala okunomunyu. Ingabe lokho akusikhona ukuwela ebumnyameni ngokukhala nokugedla kwamazinyo? Bonke abantu abaphishekela ngempela ukuphila nabenziwe baphelela bazoba nokusetshenziswa, ngesikhathi onke amadodana okuhlubuka angafaneleki ukusetshenziswa ezowela ebumnyameni, engawutholi noma yimuphi umsebenzi woMoya oNgcwele futhi ahlale engakwazi ukwenza mqondo kunoma yini. Ngakho azokwehlela ekujezisweni okunokukhala nokubangalaza. Uma uhlome ngokwanele kulesi sigaba somsebenzi futhi ukuphila kwakho sekuvuthiwe, khona-ke ungumuntu olungele ukusetshenziswa. Uma ungahlomile kahle, ngisho noma usetshenziswa esigabeni esilandelayo somsebenzi ngeke ufaneleke. Ngaleso sikhathi, ngisho noma ufuna ukuzihlomisa, ithuba liyobe selidlulile. UNkulunkulu uzobe esehambile; uzokuya kuphi-ke ukuze uthole lolu hlobo lwethuba eliphambi kwakho manje, futhi uzoyaphi ukuze uyothola ukuqeqeshwa okunikezwa uNkulunkulu maphutha? Ngaleso sikhathi, ngeke kube uNkulunkulu mathupha okhulumayo noma ekhuluma izwi Lakhe. Uzokwazi ukufunda kuphela lokhu okushiwo namuhla; uzokwazi kanjani ukuthi ukuqonde kalula? Ukuphila okulandelayo kuzokwazi kanjani ukuthi kulingane nokwanamuhla? Ngaleso sikhathi, ingabe ngeke yini ukukhala nokugedla amazinyo kwakho kube ukuzwa ukuhlupheka kokufa uphila? Isibusiso sinikezwa wena manje kodwa awukwazi ukusijabulela; uphila ekubusisekeni, kodwa awukuboni lokho. Lokhu kuwubufakazi bokuthi nakanjani uyohlala uhlupheka! Okwamanje abanye abantu bayenqaba, abanye bayahlubuka, abanye benza lokhu noma lokhuya. Ngimane angikunaki; ungacabangi ukuthi angiyiboni leyo misebenzi yenu. Ingabe angisiqondi isimo senu? Kungani niqhubeka nimelana Nami? Anikholwa kuNkulunkulu ukuze niphishekele ukuphila nesibusiso zenu? Ingabe akuyona inzuzo yenu ukuba nibe nokholo? Njengamanje ngenza nje umsebenzi wokunqoba ngamazwi Ami. Lapho lo msebenzi wokunqoba usuqediwe, isiphetho senu sizoba sobala. Ingabe kudingeka ukuba ngizicacise ngokwengeziwe?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 30)

Umsebenzi wamanje wokunqoba umsebenzi ohloselwe ukucacisa ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini. Kungani ngithi ukusola nokwahlulela kwanamuhla kuyisahlulelo esiphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi sezinsuku zokugcina? Anikuboni lokhu? Kungani umsebenzi wokunqoba uyisigaba sokugcina? Awukhona yini ukuvezwa kwesigaba ngasinye umuntu ayophelela kuso? Awukhona yini ukuvumela wonke umuntu, enkambweni yomsebenzi wokunqoba wokusola nokwahlulela, ukuvezwa kobunjalo bangempela kanye nokuhlelwa ngokwezinhlobo kamuva? Kunokuthi lokhu ukunqoba isintu, kungaba ngcono ukuthi lokhu kuveza ukuthi isigaba ngasinye somuntu siyophelelaphi. Lokho kusho ukuthi, lokhu kuwukwahlulela izono zabo nokuveza izigaba ezihlukahlukene zabantu, kunqunywe ngaleyo ndlela ukuthi babi noma balungile. Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, bangaphinde futhi babone ukukhanya kwelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu? Ukwembulwa kokuphela kwesigaba ngasinye somuntu kuphela lapho ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, futhi kuphela phakathi nomsebenzi wokunqoba indawo yonke (okubandakanya wonke umsebenzi wokunqoba oqala ngomsebenzi wamanje). Lokhu kwembulwa kokuphela kwaso sonke isintu kwenziwa phambi kwesihlalo sokwahlulela, ngendlela yokusola, nangendlela yomsebenzi wokunqoba wezinsuku zokugcina. Ukwehlukanisa abantu ngohlobo lwabo akukhona ukubuyisela abantu ezigabeni zabo zokuqala. Lokhu kungenxa yokuthi lapho kwenziwa umuntu ekudalweni komhlaba, kwakunohlobo olulodwa kuphela lwabantu, okuyindoda nomfazi. Kwakungekho izinhlobo ezahlukene eziningi. Kwaba kuphela ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka yokonakaliswa lapho izigaba ezahlukene zabantu zaqala khona ukuvela, abanye bavela ngaphansi kokubuswa odeveli abangcolile, abanye ngaphansi kokubuswa odeveli ababi, futhi abanye, abaphishekela indlela yokuphila, ngaphansi kokubuswa uSomandla. Kungale ndlela kuphela lapho izigaba zaqala khona ukuba khona kancane kancane phakathi kwabantu futhi abantu behlukana ngokwezigaba phakathi komndeni wesintu omkhulu. Bonke abantu baba “nobaba” abehlukene; akukhona ukuthi wonke umuntu ungaphansi kokubuswa uSomandla ngokuphelele, ngoba ukuhlubuka kwabantu kukhulu kakhulu. Isahlulelo esilungile sembula ubuntu bangempela bohlobo ngalunye lomuntu, singashiyi lutho olufihlakele. Wonke umuntu ubonisa isimo sakhe sangempela ekukhanyeni. Ngalesi sikhathi, umuntu akaseyona indlela abeyiyo ekuqaleni futhi umfanekiso wangempela wokhokho bakhe kade washabalala, ngoba izizukulwane ezingenakubalwa zika-Adamu no-Eva sekukade zathunjwa uSathane, ngeke zisaphinde zilazi ilanga lasezulwini, futhi ngenxa yokuthi abantu bagcwaliswe ngazo zonke izinhlobo zobuthi bukaSathane. Ngakho, abantu baneziphetho zabo ezibafanele. Ngaphezu kwalokho, bahlukaniswa ngokohlobo lobuthi babo obungafani, okusho ukuthi bahlukaniswa ngokwezinga abanqotshwa ngalo namuhla. Ukuphela komuntu akuyona into eyanqunywa phambilini kusukela ekudalweni kwezwe. Lokho kungenxa yokuthi ekuqaleni kwakunesigaba esisodwa kuphela, esasibizwa ngokuthi “isintu,” futhi umuntu akonakaliswanga uSathane ekuqaleni, futhi bonke babephila ekukhanyeni, kungekho bumnyama obabubehlela. Kodwa ngemva kokuba umuntu onakaliswe uSathane, zonke izinhlobo zabantu zasakazeka kuwo wonke umhlaba—zonke izinhlobo zabantu ezivela emndenini obizwa ngokuthi “isintu” owawakhiwa owesilisa nowesifazane. Zonke zaziholwa okhokho bazo ukuze ziphambuke kokhokho bazo abadala—isintu esasakhiwa abesilisa nabesifazane (okusho ukuthi, u-Adamu wokuqala no-Eva, okhokho bazo abadala). Ngaleso sikhathi, okwakuwukuphela kwabantu ababeholwa uJehova ukuze baphile emhlabeni kwakungama-Israyeli. Izinhlobo ezihlukahlukene zabantu ezaqembuka kuma-Israyeli (okusho ukuthi ozalweni lomndeni lwangempela) zalahlekelwa ubuholi bukaJehova. La bantu basendulo, babezishaya indiva izinto ezimayelana nezwe lesintu, bahamba bayophila nokhokho babo emazweni abawathandayo, kuze kube namuhla. Ngakho, basesebumnyameni mayelana nokuthi baphambuka kanjani kuJehova, nokuthi bonakaliswa kanjani kuze kube namuhla yizo zonke izinhlobo zokungcola kukadeveli nemimoya emibi. Labo okuyibo abonakaliswe kakhulu manje, okuwukuthi abangeke basindiswe ekugcineni, bayolandela okhokho babo—odeveli abangcolile ababonakalisa. Labo abayosindiswa ekugcineni bayoya endaweni efanele yesintu, okusho lokho ukuphela okukubekele abantu abasindisiwe nabanqotshiwe. Kuyokwenziwa yonke into ukuze kusindiswe bonke abangasindiswa, kodwa labo abangazweli, abangelapheki, okuwukuphela kwento abangayikhetha kuyoba ukulandela okhokho babo emgodini ongenamkhawulo wesijeziso. Ungacabangi ukuthi isiphetho sakho sanqunywa phambilini ekuqaleni nokuthi sembulwa manje. Uma ucabanga ngaleyo ndlela, ingabe usukhohliwe ukuthi ngesikhathi isintu siqala ukudalwa, sasingekho esinye isigaba sikaSathane esadalwa? Ingabe usukhohliwe ukuthi kwadalwa isintu esisodwa kuphela esakhiwa u-Adamu no-Eva (okusho ukuthi kwadalwa owesilisa nowesifazane kuphela)? Uma ubulokhu uyinzalo kaSathane kusukela ekuqaleni, ingabe lokho ngeke kusho ukuthi ngesikhathi uJehova edala umuntu wadala neqembu likaSathane? Ingabe wayengayenza into efana naleyo? Wadala umuntu ngenxa yobufakazi Bakhe; wadala umuntu ngenxa yenkazimulo Yakhe. Wayengasidalelani ngenhloso isigaba sikaSathane ukuze simphike ngamabomu? Ingabe uJehova wayengakwenza lokhu? Uma kunjalo, ubani obengakwazi ukuthi unguNkulunkulu olungile? Lapho ngithi abanye kini bayohamba noSathane ekugcineni, akusho ukuthi ekuqaleni wawunoSathane; kunalokho kusho ukuthi seningene najula ngezinga lokuthi ngisho noma uNkulunkulu ezama ukunisindisa, nehlulekile ukuthola leyo nsindiso. Ayikho enye indlela ngaphandle kokukubeka esigabeni sikaSathane. Lokhu kungenxa yokuthi awutakuleki, akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu akalungile kuwe, okusho ukuthi akukhona ukuthi uNkulunkulu unqume umphumela wakho phambilini ukuthi uyolingisa uSathane bese uba sesigabeni sikaSathane njengokungathi ubevele ehlose ukuthi uhlupheke. Lelo akulona iqiniso langaphakathi lomsebenzi wokunqoba. Uma ukholelwa kulokho, khona-ke uqonda uhlangothi olulodwa kuphela! Isigaba sokugcina sokunqoba sihloselwe ukusindisa abantu nokwambula isiphetho sabantu. Siwukuveza ukonakala ngokwedlulele kwabantu ngokubahlulela nokubenza baphenduke, bavuke, bazabalazele impilo nendlela efanele yokuphila komuntu. Siwukuvusa izinhliziyo zabandikindiki nabanezinhliziyo ezilukhuni nokuveza ukuhlubuka kwabo kwangaphakathi ngokwahlulela. Nokho, uma abantu bengakakwazi ukuphenduka, bengakakwazi ukuhamba endleleni efanele empilweni yomuntu futhi bengakakwazi ukushiya inkohlakalo, khona-ke ngeke batakulwe, uSathane uyobagwinya. Lokhu ukubaluleka kokunqoba—ukusindisa abantu nokwembula iziphetho zabo. Iziphetho ezinhle, iziphetho ezimbi—zonke zembulwe emsebenzini wokunqoba. Ukuthi abantu bayosindiswa noma bayoqalekiswa kwembulwa phakathi nomsebenzi wokunqoba.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 31)

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, labo abawo wonke amazwe nazo zonke izizwe nabo bayowuzwa umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe? Ngakho, nizoqhubeka isikhathi eside kangakanani nezenzo zenu zokungalaleli? Ingabe aniboni yini ukuthi izinsuku zenu zokugcina sezisondele? Kungenzeka kanjani ukuthi labo abahlonipha uNkulunkulu nabamlangazelelayo babonakale bengaluboni usuku lokubonakala kokulunga kukaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi bangatholi umvuzo wokugcina wokulunga? Ingabe ungulowo owenza okuhle, noma ungulowo owenza okubi? Ingabe ungulowo owamukela ukwahlulela ngokulunga bese elalela, noma bese eqalekiswa? Ingabe ubuphila ekukhanyeni ngaphambi kwesihlalo sokwahlulela, noma ebumnyameni obusezweni elingaphansi komhlaba? Ingabe wena uqobo awuyena yini owazi ngokucace kakhulu ukuthi isiphetho sakho sizoba ngesomvuzo noma esesijeziso? Ingabe awuyena yini owazi ngokucace kakhulu noqonda ngokujule kakhulu ukuthi uNkulunkulu ulungile? Ngakho, empeleni, kunjani ukuziphatha kwakho futhi unaluphi uhlobo lwenhliziyo? Njengoba ngiqhubeka nokukunqoba namuhla, ingabe ukudinga ngempela ukuba Mina ngikutshele ukuthi ukuziphatha kwakho kubi noma kuhle? Kungakanani osukudelile Ngami? Ungikhulekela ngokujule kangakanani? Wena uqobo wazi ngokucace kakhulu ukuthi unjani Kimi—ingabe lokho akulona iqiniso? Kufanele wazi kangcono ukwedlula noma ubani ukuthi isiphetho sakho sizoba njani! Empeleni ngiyakutshela, ngadala kuphela isintu, futhi ngadala wena, kodwa angizange ngininikele kuSathane; futhi angizange ngenhloso nginenze ukuba nidlubulunde noma nimelane Nami futhi ngalokho nginijezise. Anizange yini nithole lezi zinhlekelele ngenxa yezinhliziyo zenu ezilukhuni kakhulu nangokuziphatha kwenu okunengeka kakhulu? Ngakho ingabe akulona yini iqiniso ukuthi ninganquma isiphetho senu? Ingabe akulona yini iqiniso ukuthi niyazi ezinhliziyweni zenu, ukwedlula noma ubani omunye, ukuthi sizoba njani isiphetho senu? Isizathu esenza nginqobe abantu ukuba ngibadalule, kanye nokuba ngiqinisekise insindiso yakho. Akusikho ukukwenza ukuba wenze okubi noma ukukwenza ngamabomu uye esihogweni sokubhujiswa. Lapho isikhathi sifika, konke ukuhluphela kwakho okukhulu, ukukhala kwakho nokugedla amazinyo—ingabe konke lokho akungenxa yezono zakho? Ngakho, ingabe akusikho ukulunga kwakho noma ububi bakho okukwahlulela kangcono? Ingabe lokho akubona yini ubufakazi obuqand’ ikhanda balokho isiphetho sakho esiyoba yikho?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 32)

Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ufike ikakhulukazi ukuze akhulume amazwi akhe. Ukhuluma ngokweso likaMoya, ngokweso lomuntu, futhi nangokweso lomuntu wesithathu; Ukhuluma ngezindlela ezehlukene, esebenzisa indlela eyodwa ngesikhathi esithile, futhi asebenzise ezinye izindlela zokukhuluma ukuguquka imicabango yomuntu kanye nokususa umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Lokhu iwona umsebenzi osemqoka owenziwa nguNkulunkulu. Ngenxa yokuthi umuntu ukholwa ukuthi uNkulunkulu ufike ukuzosindisa abagulayo, ukukhipha amadimoni, ukwenza izimangaliso, kanye nokuletha izibusiso eziphathekayo kumuntu, uNkulunkulu wenza lesi sigaba somsebenzi–umsebenzi wokusola nokwahlulela—-ukuze asuse izinto ezinjalo emicabangweni yomuntu, ukuze umuntu azi ubunjalo kanye nokujwayeleka kukaNkulunkulu, futhi ukuze umfanekiso kaJesu ususwe enhliziyweni yakhe futhi indawo yawo ithathwe umfanekiso omusha kaNkulunkulu. Ngokushesha uma umfanekiso kaNkulunkulu kumuntu uba mdala, uphenduka isithixo. Ngesikhathi uJesu efika futhi enza leso sigaba somsebenzi, wayengamele ukuphelela kukaNkulunkulu. Wenza izimpawu nezimangaliso ezithile, wakhuluma amazwi athile, futhi wagcina ngokubethelwa, futhi wamela ingxenye eyodwa kaNkulunkulu. Wayengeke amele konke okungokukaNkulunkulu, kodwa wamela uNkulunkulu ngokwenza ingxenye eyodwa yomsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu yingoba uNkulunkulu mukhulu kakhulu, futhi uyamangalisa kakhulu, futhi akaqondakali, futhi ngoba uNkulunkulu wenza ingxenye eyodwa yomsebenzi wakhe enkathini ngayinye. Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu kule nkathi owokuhlinzeka ikakhulukazi amazwi empilo yomuntu; ukuvezwa kwesimo nengqikithi eyonakele yemvelo yomuntu; nokususwa kwemicabango yezenkolo, ukucabanga kwasemandulo, ukucabanga osekuphelelwe isikhathi, kanye nolwazi namasiko omuntu. Konke lokhu kufanele kunekwe obala futhi kuhlanzwe ngamazwi kaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi, hhayi izimpawu nezimangaliso, ukuphelelisa umuntu. Usebenzisa amazwi akhe ukudalula umuntu, ukwehlulela umuntu, ukusola umuntu futhi nokuphelelisa umuntu, ukuze emazwini kaNkulunkulu, umuntu aze abone ukuhlakanipha nobuhle bukaNkulunkulu, futhi aze abone isimo sikaNkulunkulu, ukuze ngamazwi kaNkulunkulu, umuntu abone izenzo zikaNkulunkulu. NgeNkathi Yomthetho, uJehova wahola uMose wamkhipha eGibhithe ngamazwi Akhe, futhi wakhuluma amazwi athile kuma-Israyeli; ngaleso sikhathi, ingxenye yezenzo zikaNkulunkulu yenziwa yacaca, kodwa ngenxa yokuthi izinga lomuntu lalilinganiselwe nje futhi yayingekho into eyayingenza ukuthi ulwazi lwakhe luphelele, uNkulunkulu waqhubeka wakhuluma futhi wasebenza. NgeNkathi Yomusa, umuntu waphinde wabona ingxenye yemisebenzi kaNkulunkulu. UJesu wakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, ukusindisa abagulayo nokukhipha amadimoni, futhi wabethelwa, kwathi emuva kwezinsuku ezintathu wavuka wavela kubantu esenyameni. Abantu babengazi lutho olunye ngaphandle kwalokhu. Umuntu wazi kuphela lokho akukhonjiswa nguNkulunkulu, futhi ukuba uNkulunkulu wayengakhombisi lutho oluthe xaxa kumuntu, umuntu wayengagcina kulelo zinga lokuqonda uNkulunkulu. Ngakho, uNkulunkulu uyaqhubeka ukusebenza, khona ulwazi lomuntu ngaye lungaya lujula, futhi ukuze aye ngokuya efinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhe ukuphelelisa umuntu. Isimo sakho esonakele sivezwa amazwi kaNkulunkulu, kanti nemicabango yakho yenkolo ithathelwa indawo yiqiniso likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina ufike ikakhulukazi ukugcwalisa amazwi athi “uLizwi waba yinyama, uLizwi ufika enyameni, futhi uLizwi uvela esenyameni,” futhi uma ungenalo ulwazi oluphelele ngalokhu, uzolokhu ungakwazi ukuma uqine. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ufuna ikakhulukazi ukufeza isigaba somsebenzi lapho uLizwi evela esenyameni, futhi lokhu ingxenye yohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Ngakho, ulwazi lwenu kufanele lucace; akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani, uNkulunkulu akavumeli umuntu ukuthi amchaze. Ukuba uNkulunkulu ubengawenzi lo msebenzi ngezinsuku zokugcina, ulwazi lomuntu belungeke luqhubeke. Benizokwazi ukuthi nje uNkulunkulu angabethelwa futhi angabhubhisa iSodoma, kanye nokuthi uJesu angavuswa ekufeni futhi avele kuPetru…. Kodwa ubungeke uthi amazwi kaNkulunkulu angafeza konke, futhi anganqoba umuntu. Kusekuzizweleni amazwi kaNkulunkulu kuphela lapho ungakhuluma ngolwazi olunjalo, futhi ngokwanda komsebenzi kaNkulunkulu ongawuzwa, ulwazi lwakho ngaye lungaluhle kakhulu. Yilapho kuphela uyoyeka ukunciphisa uNkulunkulu ngemicabango yakho. Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngokuzizwela umsebenzi wakhe, futhi ayikho enye indlela elungile yokwazi uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 33)

Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi? Esigabeni esedlule, uJesu wenza izibonakaliso nezimangaliso, kodwa akunjalo kulesi sigaba. Ingabe ukuqonda kwakho kokuthi kungani angenzi kanjalo nakho akuzuzwanga ngezwi? Ngakho, amazwi akhulunywe kulesi sigaba ayawedlula umsebenzi owenziwa ngabaphostoli nabaphrofethi bezizukulwane ezedlule. Ngisho neziphrofetho ezenziwa ngabaphrofethi zazingeke zibe nemiphumela enjena. Abaphrofethi bakhuluma iziphrofetho kuphela zokuthi kuyokwenzekani esikhathini esizayo, kodwa hhayi ngomsebenzi uNkulunkulu ayezowenza ngaleso sikhathi. Abakhulumelanga ukuhola abantu ezimpilweni zabo, ukubekwa kwamaqiniso kumuntu noma ukwambulela umuntu izimfihlakalo futhi kwakukancane kakhulu ukukhuluma ngokunika abantu ukuphila. Amazwi akhulunywe kulesi sigaba, kuwo kunesiprofetho neqiniso, kodwa inhloso yawo ukunika abantu ukuphila. Emazwini akhulunywa kulesi sigaba, kukhona ukuphrofetha neqiniso, kodwa ikakhulu asebenza ukunikeza impilo kumuntu. Amazwi amanje awafani neziphrofetho zabaphrofethi. Lesi yisigaba somsebenzi hhayi weziphrofetho kodwa wezimpilo zabantu, wokuguqula izimo zabantu. Isigaba sokuqala sasiwumsebenzi kaJehova wokulungisa indlela yomuntu yokudumisa uNkulunkulu emhlabeni. Kwakuwumsebenzi wokuqala ukuthola umthombo womsebenzi emhlabeni. Ngaleso sikhathi, uJehova wafundisa ama-Israyeli ukuba agcine iSabatha, ahloniphe abazali futhi aphile ngokuthula nabanye. Njengoba umuntu wangaleso sikhathi engazange aqonde okwakwakhe umuntu, futhi bengazange baqonde indlela yokuphila emhlabeni, kwakudingekile ukuba esigabeni sokuqala ahole abantu ezimpilweni zabo. Konke uJehova akukhulume kubo kwakungakaze kwaziwe yisintu noma kube kubona. Ngaleso sikhathi abaphrofethi babefundiswe ukukhuluma iziphrofetho, zonke zenziwe ngaphansi kokuhola kukaJehova. Lokhu kwakuyingxenye yomsebenzi nje. Esigabeni sokuqala, uNkulunkulu akazange abe yinyama, ngakho wakhuluma nazo zonke izizwe nezinhlanga ngabaphrofethi. Lapho uJesu enza umsebenzi wakhe ngaleso sikhathi, akazange akhulume kakhulu njengoba esenza manje. Lo msebenzi wezwi ezinsukwini zokugcina awukaze wenziwe ezinkathini nasezizukulwaneni zangaphambili. Nakuba u-Isaya, uDaniyeli kanye noJohane benza iziphrofetho eziningi, iziphrofetho ezinjalo zazihluke kakhulu kunamazwi akhulunywa manje. Ababekukhuluma kuphela kwakuyiziphrofetho kodwa amazwi manje awazona. Uma ngikuguqula engikukhulumayo manje ngikwenza iziphrofetho, ubuyokwazi ukukuqonda? Ukube ngikhulume ngezinto zangenkathi ezayo, lapho sengihambile, ubuzokuthola kanjani ukuqonda? Umsebenzi wezwi awuzange wenziwe ngesikhathi sikaJesu noma ngeNkathi Yomthetho. Mhlawumbe abanye bangathi, “Ingabe uJehova akakhulumanga amazwi futhi esikhathini somsebenzi Wakhe? Ngaphezu kokwelapha abagulayo, ukuxosha amadimoni nokusebenza ngezibonakaliso nezimangaliso, ingabe uJesu akazange akhulume ngamazwi ngaleso sikhathi?” Kunomehluko endleleni amazwi akhulunywa ngayo. Yayiyini ingqikithi yamazwi akhulunywa uJehova? Wayehola abantu kuphela ezimpilweni zabo emhlabeni, okwakungazithinti izindaba zomoya empilweni. Kungani kuthiwa amazwi kaJehova amenyezelwa kuzo zonke izindawo? Igama elithi “memezela” lisho ukunika izincazelo kanye neziqondiso ezicacile. Akazange anike abantu ukuphila; kunalokho, wathatha umuntu ngesandla futhi wamfundisa indlela yokuhlonipha. Yayingekho imizekeliso. Umsebenzi kaJehova kwa-Israyeli wawungahloselwe ukubhekana noma ukuqondisa umuntu noma ukwethula ukwahlulela nokusola; kwakungowokuhola. UJehova wathi uMose akatshele abantu Bakhe ukuba babuthe imana ehlane. Njalo ekuseni ngaphambi kokuphuma kwelanga, babebutha imana elalanele lolo suku. Imana lalingeke ligcinwe kuze kube usuku olulandelayo ngoba lalonakala. Akazange afundise abantu noma ambule izimvelo zabo, futhi akazange ambule imicabango nemibono yabo. Akazange abashintshe abantu kunalokho wabahola ekuphileni kwabo. Ngaleso sikhathi, umuntu wayenjengezingane; wayengaqondi lutho futhi wayekwazi ukwenza iminyakazo elula nje; ngakho uJehova wenza kuphela imithetho eyayizohola abantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 34)

UNkulunkulu ukhuluma amazwi Akhe enze nomsebenzi Wakhe ngokwezinkathi ezehlukene, nasezinkathini ezehlukene, ukhuluma amazwi ehlukene. UNkulunkulu akathobeli mithetho, noma aphinde umsebenzi ofanayo, noma abe nenkumbulo yezinto zesikhathi esedlule; unguNkulunkulu ohlala emusha njalo akabi mdala, futhi nsuku zonke ukhuluma amazwi amasha. Kumele uthobele konke okumele kuthotshelwe namuhla; lona ngumthwalo nomsebenzi womuntu. Kubalulekile ukuthi okwenziwayo kubekwe ekukhanyeni nasemazwini kaNkulunkulu amanje. UNkulunkulu akathobeli mithetho, futhi uyakwazi ukukhuluma ngezindlela ezehlukene ukuze ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwakhe kucace. Akunandaba noma ukhuluma njengoMoya, noma njengomuntu, noma njengomuntu wesithathu—uNkulunkulu uhlale enguNkulunkulu, futhi awunakusho ukuthi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi ukhuluma esesimweni somuntu. Phakathi kwabanye abantu kuqubuke imicabango ngenxa yezindlela ezehlukene uNkulunkulu akhuluma ngazo. Abantu abanjalo abanalwazi ngoNkulunkulu, futhi abawazi umsebenzi Wakhe. Ukube uNkulunkulu ubehlala ekhuluma ngendlela eyodwa, ngabe abantu abazange babeke imithetho ngoNkulunkulu? UNkulunkulu ubengamvumela umuntu ukuthi enze ngale ndlela? Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu akhuluma ngayo, uNkulunkulu unenhloso ngendlela ngayinye. Uma uNkulunkulu ubezohlala ekhuluma ngendlela kaMoya, ubuzokwazi ukukhuluma Naye? Kanjalo, ngezinye izikhathi ukhuluma njengomuntu wesithathu ukukunikeza amazwi Akhe futhi akuholele eqinisweni. Konke okwenziwa nguNkulunkulu kufanele. Kafushane, konke kwenziwa nguNkulunkulu, futhi akumele ukungabaze nakancane lokho. Inqobo nje uma enguNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ukhuluma ngayiphi indlela, usenguNkulunkulu. Leli iqiniso elingephikiswe. Noma ngabe usebenza kanjani, usenguNkulunkulu, futhi ingqikithi Yakhe ayisoze iguquke! UPetru wamthanda uNkulunkulu kakhulu futhi wayeyindoda eyayifuna inhliziyo kaNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu akazange ambone njengeNkosi noma uKristu, ngoba ingqikithi yomuntu iyile nto eyiyo, futhi ngeke iguquke. Emsebenzini Wakhe, uNkulunkulu akathobeli mithetho, kodwa usebenzisa izindlela ezihlukene ukwenza umsebenzi Wakhe ube yimpumelelo futhi akhulise ulwazi lomuntu Ngaye. Yonke indlela Yakhe yokusebenza isiza umuntu ukuba amazi Yena, futhi ilungele ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe usebenzisa yiphi indlela yokusebenza, indlela ngayinye ilungele ukwakha futhi iphelelise umuntu. Yize enye yezindlela Zakhe kungenzeka ukuthi yadonsa isikhathi eside, ngeyokuthi ithinte ukholo lomuntu Kuye. Ngalokho akumele nibe nokungabaza. Lezi yizo zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, futhi kumele uzilalele.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 35)

UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulu ukuzokhuluma amazwi Akhe; okhuluma ngakho yizwi likaNkulunkulu, okubonayo yizwi likaNkulunkulu, okuzwayo yizwi likaNkulunkulu, okuthobelayo yizwi likaNkulunkulu, okwaziyo yizwi likaNkulunkulu, kanti lokhu kuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akakhombisi izimpawu nezimangaliso, ikakhulukazi akawenzi umsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi esedlule. Yize bengoNkulunkulu, futhi bobabili beyinyama, izinkonzo Zabo azifani. Ngesikhathi uJesu efika, wenza nengxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, wakhuluma amanye amazwi—kodwa msebenzi muni omkhulu awufeza na? Akufeza kakhulu kwakungumsebenzi wokubethelwa. Waba umfanekiso wenyama enesono ukuze aqedele umsebenzi wokubethelwa ahlenge bonke abantu, futhi kwakungenxa yezono zaso sonke isintu ukuba abe ngumhlatshelo wesono. Lona yiwo umsebenzi omkhulu awufeza. Ekugcineni, wahlinzeka indlela yesiphambano ukuqondisa labo abalandela. Ngesikhathi uJesu efika, ikakhulu kwakuwukuqeda umsebenzi wokuhlenga. Wahlenga bonke abantu, waletha nevangeli lombuso wezulu kubantu, futhi, phezu kwalokho, waletha indlela eya embusweni wezulu. Ngenxa yalokho, labo abafika ngemva kwakho konke bathi, “Kumele sihambe indlela yesiphambano, sizidele ngenxa yesiphambano.” Yebo, ekuqaleni uJesu wenza omunye umsebenzi wakhuluma namanye amazwi ukuze abantu baphenduke bavume izono zabo. Kodwa inkonzo Yakhe kwakungukubethelwa, kanti le minyaka emithathu nesigamu ayichitha eshumayela indlela kwakuwukucwengelela ukubethelwa okwenzeka muva. Izikhathi eziningi uJesu athandaza ngazo nazo kwakungenxa yokubethelwa. Impilo yomuntu ojwayelekile ayeyiphila neminyaka engamashumi amathathu nantathu nesigamu ayiphila emhlabeni kakhulu kwakungenxa yokuqedela umsebenzi wokubethelwa, kwakungokokumnika amandla okwenza lo msebenzi, ngenxa yalokho uNkulunkulu wamethemba ngomsebenzi wokubethelwa. Namuhla, yimuphi umsebenzi ozokwenziwa uNkulunkulu esenyameni? Namuhla, uNkulunkulu usebe yinyama ukuze aqedele umsebenzi “weZwi elivela lisenyameni,” ukusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu, nokwenza umuntu amukele ukusebenza kwezwi kanye nokucwengwa kwezwi. Emazwini Akhe unenza nikwazi ukuhlinzekwa nizuze nokuphila; emazwini Akhe, nibona imisebenzi nezenzo Zakhe. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukunisola nokunicwenga, ngakho-ke uma nibhekene nobunzima, kungenxa yezwi likaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu akawasebenzisi amaqiniso, kodwa amazwi. Kungemva kokuba izwi Lakhe lifikile kuwe lapho uMoya oNgcwele ungasebenza kuwe ukwenze uzwe ubuhlungu noma ubumnandi. Yizwi likaNkulunkulu kuphela elingakuletha eqinisweni, futhi yizwi likaNkulunkulu kuphela elikwazi ukukwenza upheleliswe. Ngakho-ke, okungenani kumele uqonde lokhu: Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngezinsuku zokugcina ikakhulu ngukusebenzisa izwi Lakhe ukuphelelisa wonke umuntu nokuqondisa umuntu. Wonke umsebenzi awenzayo uwenza ngezwi; akasebenzisi amaqiniso ukukusola. Kunezikhathi lapho abantu belwisana noNkulunkulu. UNkulunkulu akakubangeli ukungakhululeki okukhulu, inyama yakho ayisolwa futhi awubhekani nobunzima—kodwa masinyane uma izwi Lakhe lifika kuwe, likucwenge, awukwazi ukumelana nakho. Ingabe akunjalo? Ngesikhathi sabenzi bomsebenzi, uNkulunkulu wayethi uphonsa abantu emgodini ongenamkhawulo. Ingabe abantu bafika ngempela emgodini ongenamkhawulo? Ngokusebenzisa nje izwi ukucwenga abantu, abantu bangena emgodini ongenamkhawulo. Ngalokho-ke, ngezinsuku zokugcina, uma uNkulunkulu eba yinyama wasebenzisa izwi kakhulu ukukwenza konke nokukwenza kucace. Kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi uyini Yena; kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngesikhathi uNkulunkulu osesimweni somuntu eza emhlabeni, akenzi omunye umsebenzi ngaphandle kokukhuluma amazwi—ngakho-ke asikho isidingo samaqiniso; amazwi anele. Lokhu kungenxa yokuthi uzele ikakhulu ukuzokwenza lo msebenzi, ukuvumela abantu babone amandla Akhe nobukhulu bamazwi Akhe, ukuvumela abantu babone emazwini Akhe ukuthi uzifihla kanjani ngokuthobeka, nokuvumela abantu bazi ukuphelela Kwakhe emazwini Akhe. Konke lokhu anakho nayikho kusemazwini Akhe, ubuhlakani nokumangalisa Kwakhe kusemazwini Akhe. Kulokhu wenziwa ukuthi ukwazi ukubona izindlela eziningi uNkulunkulu akhuluma ngazo amazwi Akhe. Umsebenzi omningi kaNkulunkulu sonke lesi sikhathi bekungukunikeza ukwambula nokusebenza kumuntu. Akamqalekisi kancane umuntu, noma ngabe uyakwenza, ukwenza ngezwi. Ngalokho-ke, kule nkathi uNkulunkulu eba yinyama, ungazami ukubona uNkulunkulu ephilisa futhi ekhipha amadimoni futhi, ungazami ukuhlala ubona izimpawu—asikho isidingo! Lezo zimpawu ngeke zimphelelise umuntu! Ukukhuluma ngokusobala nje: Namuhla, uNkulunkulu wenyama wangempela uqobo Lwakhe uyakhuluma kuphela, akenzi. Leli yiqiniso! Usebenzisa amazwi ukuze akuphelelise, asebenzise amazwi ukukondla nokukuphuzisa. Uphinde asebenzise amazwi ukusebenza, futhi usebenzisa amazwi endaweni yamaqiniso ukwenza wena wazi iqiniso. Uma ukwazi ukubona lolu hlobo lomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi kunzima ukungenzi lutho. Endaweni yokugxila ezintweni ezimbi, kumele ugxile kokuhle—okungukuthi, noma ngabe amazwi kaNkulunkulu agcwalisekile noma cha, noma akhona amaqiniso noma awekho, uNkulunkulu wenza abantu bazuze ukuphila emazwini Akhe, kanti lolu yilona phawu olukhulu kunazo zonke, futhi phezu kwalokho, kuyiqiniso elingephikwe. Lobu ubufakazi obukhulu ongaba nolwazi ngoNkulunkulu ngabo, futhi kuwuphawu olukhulu kunezinye izimpawu. Yila mazwi kuphela angaphelelisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 36)

Kuthe kuqala nje iNkathi Yombuso, uNkulunkulu waqala ukukhipha amazwi Akhe. Esikhathini esizayo, lawa mazwi azogcwaliseka kancane kancane, kanti ngaleso sikhathi, abantu bazophila. Ukusebenzisa izwi kukaNkulunkulu ukuveza isimo esikhohlakele somuntu kuyiqiniso ngempela, futhi kuyadingeka kakhulu, kanti akasebenzisi lutho olunye ngaphandle kwezwi ukwenza umsebenzi Wakhe ukuze aphelelise ukholo lomuntu, ngoba namuhla yiNkathi Yezwi, kanti sidinga ukholo, isisombululo kanye nokusebenza ngokubambisana kwabantu. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina ukusebenzisa izwi Lakhe ukusebenza nokuhlinzeka umuntu. Kuphela ngemva kokuba uNkulunkulu osesimweni somuntu eseqedile ukukhuluma amazwi Akhe lapho ezoqala khona ukugcwaliseka. Ngesikhathi ekhuluma okokuqala, amazwi Akhe awazange agcwaliseke, ngoba uma esesigabeni senyama, amazwi Akhe awagcwaliseki, lokhu kwenzelwa ukuba abantu babone ukuthi uNkulunkulu uyinyama hhayi uMoya, ukuze abantu babone ubuqiniso bukaNkulunkulu ngamehlo abo. Ngosuku okuzoqedwa ngalo umsebenzi Wakhe, uma wonke amazwi okumele akhulunywe Nguye emhlabeni esekhulunyiwe, amazwi Akhe azogcwaliseka. Manje akuyona inkathi yokugcwalisa amazwi kaNkulunkulu, ngoba akakaqedi ukukhuluma amazwi Akhe. Ngakho-ke, uma ubona uNkulunkulu esakhuluma amazwi Akhe emhlabeni, ungalindi ukugcwaliseka kwamazwi Akhe; uma uNkulunkulu eyeka ukukhuluma amazwi Akhe, uma umsebenzi Wakhe emhlabeni usuphelile, kuzoba yileso sikhathi lapho amazwi Akhe ezoqala khona ukugcwaliseka. Emazwini awakhuluma emhlabeni, kukhona, kokukodwa, ukuhlinzekwa kokuphila, kokunye, kunesiphrofetho—isiphrofetho sezinto ezizayo, sezinto ezizokwenziwa, nezinto okusamele ziqedwe. Kwakunesiprofetho futhi emazwini kaJesu. Kokunye, wanikela ngokuphila, kokunye, wakhuluma isiphrofetho. Namuhla, akukhulunywa ngokwenziwa kwamazwi namaqiniso ngesikhathi esisodwa ngoba umehluko phakathi kwalokhu okubonakalayo emehlweni abantu nalokhu okwenziwa uNkulunkulu mkhulu kakhulu. Kungathiwa nje, uma umsebenzi kaNkulunkulu usuqediwe, amazwi Akhe azogcwaliseka, namaqiniso azoza ngemva kwamazwi. Emhlabeni, uNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina wenza inkonzo yezwi, ngokwenza inkonzo yezwi, ukhuluma amazwi kuphela, akanandaba nokunye. Uma umsebenzi kaNkulunkulu usuguqukile, amazwi Akhe azoqala ukugcwaliseka. Namuhla, amazwi asetshenziswa kuqala ukuphelelisa wena; uma ethola udumo emhlabeni jikelele, kuzoba yisikhathi lapho umsebenzi Wakhe uzobe usuqediwe, uma wonke amazwi okumele akhulunywe eyobe esekhulunyiwe, futhi wonke amazwi esebe amaqiniso. UNkulunkulu uze emhlabeni ezinsukwini zokugcina ukuzokwenza inkonzo yezwi ukuze abantu bamazi, nokuthi abantu babone ukuthi uyini, babone nobuhlakani Bakhe kanye nazo zonke izenzo Zakhe ezimangalisayo ezwini Lakhe. Ngesikhathi seNkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa kakhulu izwi ukunqoba bonke abantu. Esikhathini esizayo, izwi Lakhe lizofika kuzo zonke izinkolo, amaqembu, amazwe namahlelo; uNkulunkulu usebenzisa izwi ukunqoba, ukwenza bonke abantu babone ukuthi izwi Lakhe linegunya futhi linamandla—ngakho-ke namuhla, nibhekene nezwi likaNkulunkulu kuphela.

Amagama akhulunywa uNkulunkulu kule nkathi ahlukile kunalawo akhulunywa ngeNkathi Yomthetho, ngakho-ke, nawo, ahlukile emazwini akhulunywa ngeNkathi Yomusa. NgeNkathi Yomusa, uNkulunkulu akawenzanga umsebenzi wezwi, kodwa wachaza ukubethelwa ukuze ahlenge bonke abantu. IBhayibheli lichaza kuphela ukuthi kungani uJesu kwakumele abethelwe, kanye nokuhlupheka okwakumele adlule kukho esiphambanweni, nokuthi umuntu kumele abethelwe kanjani ngenxa kaNkulunkulu. Ngale nkathi, wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawugxile ekubethelweni. NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, futhi uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni. Lokhu okwenziwe namuhla, lokhu okuzokwenziwa esikhathini esizayo, lokhu okuzofezwa nguNkulunkulu, isiphetho sokugcina somuntu, labo abazosindiswa, labo abazobhujiswa, njalo njalo—lo msebenzi okumele ufezeke ekugcineni ubekwe wacaca, futhi wonke umi ngohlelo ukuze uqede ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni. Izinqumo zokuphatha nomthetho-sisekelo okwakukhishiwe kuqala, labo abazobhujiswa, labo abazongena ekuphumuleni—la mazwi onke kumele agcwaliswe. Lona ngumsebenzi omkhulu oqedelwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Wenza abantu baqonde ukuthi labo abahlelelwe uNkulunkulu kusengaphambili baya ngakuphi nokuthi labo abangamiselwanga kusengaphambili uNkulunkulu bona baya ngakuphi, ukuthi abantu Bakhe namadodana Akhe bazohlukaniswa kanjani, kuzokwenzekani ku-Israyeli, kuzokwenzekani eGibhithe—esikhathini esizayo, wonke la mazwi azofezwa. Izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu zinyusa isivinini. UNkulunkulu usebenzisa izwi njengendlela yokuveza kumuntu ukuthi yini okumele yenziwe inkathi ngayinye, yikuphi okumele kwenziwe nguNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, kanye nenkonzo Yakhe okumele yenziwe, kanti wonke la mazwi enzelwe ukufeza ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 37)

UNkulunkulu uwenza emhlabeni wonke jikelele umsebenzi Wakhe. Bonke labo abakholwa Kuye kumele bamukele izwi Lakhe, futhi badle baphuze izwi Lakhe; akekho ozozuzwa uNkulunkulu ngokubona izimpawu nezimangaliso ezivezwa uNkulunkulu. Kuyo yonke le minyaka, uNkulunkulu ubelokhu esebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Ngakho-ke akumele ninikele konke ukunaka kwenu ezimpawini nasezimangalisweni, kodwa kumele nifune ukupheleliswa nguNkulunkulu. ENkathini Yomthetho yeTestamente Elidala, uNkulunkulu wakhuluma amazwi athile, kwathi ngeNkathi Yomusa, uJesu, Naye, wakhuluma amazwi amaningi. Ngemva kokuba uJesu esesho amazwi amaningi, abaphostoli nabafundi bakamuva baholela abantu ekubeni benze ngokwemiyalelo eyakhishwa nguJesu futhi benza ngokuhambisana namazwi nezimiso ezakhulunywa nguJesu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ikakhulu usebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akasebenzisi izimpawu nezimangaliso ukucindezela abantu, noma ukubathonya; lokhu ngeke kucacise amandla kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhombisa izizimpawu nezimangaliso kuphela, kusho ukuthi kuzoba nzima ukucacisa iqiniso likaNkulunkulu, ngakho-ke kube nzima ukuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akamphelelisi ngezimpawu nangezimangaliso umuntu, kodwa usebenzisa izwi ukunisela nokwelusa umuntu, ngemva kwalokho abantu bakwazi ukulalela nokwazi uNkulunkulu. Lena yinhloso yomsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo. UNkulunkulu akasebenzisi indlela yokukhombisa izimpawu nezimangaliso ukuphelelisa umuntu—usebenzisa amazwi, futhi usebenzisa izindlela eziningi ezehlukene zokusebenza ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe ukucwengwa, ukusebenzelana, ukuthenwa, noma ukunikezwa amazwi, uNkulunkulu ukhuluma ngezindlela eziningi ukuze aphelelise umuntu, futhi anike umuntu ulwazi olukhulu ngomsebenzi, ubuhlakani nokumangalisa kukaNkulunkulu. Uma umuntu epheleliswa ngesikhathi uNkulunkulu azoqeda ngaso leyo nkathi ezinsukwini zokugcina, khona-ke uzofanela ukubona izimpawu nezimangaliso. Lapho ufinyelela ekwazini uNkulunkulu futhi usukwazi ukulalela uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi wenzani, ngeke ube nemibono Ngaye lapho ubona izimpawu nezimangaliso. Okwamanje, ukhohlakele futhi awukwazi ukuthobela uNkulunkulu ngokuphelele—ingabe ufanelekile ukubona izimpawu nezimangaliso? Isikhathi uNkulunkulu azobonisa ngaso izimpawu nezimangaliso kulapho uNkulunkulu esola khona umuntu, uma kuguquka inkathi, futhi, phezu kwalokho, uma kuphela inkathi. Uma umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa ngokujwayelekile, akavezi izimpawu nezimangaliso. Ukuveza izimpawu nezimangaliso kulula kakhulu, kodwa lowo akuwona umgomo womsebenzi kaNkulunkulu, futhi akuyona inhloso yohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha umuntu. Ukuba umuntu wabona izimpawu nezimangaliso, futhi uma umzimba kamoya kaNkulunkulu ubungabonakala kubantu, ingabe bonke abantu bebengeke bakholwe kuNkulunkulu? Ngike ngasho phambilini ukuthi iqembu labanqobi lizuzwe eMpumalanga, abanqobi abaphuma ekuhluphekeni okukhulu. Asho ukuthini lawa mazwi? Asho ukuthi laba bantu abazuziwe bahlonipha ngeqiniso ngemva kokwahlulelwa nokusolwa, ukusetshenzwa nokuthenwa, nazo zonke izinhlobo zokucwenga. Ukukholwa kwabantu abanjalo akufiphele futhi akukhona okucatshangwayo nje, kodwa kuyiqiniso. Ababonanga zimpawu nezimangaliso, noma naziphi izimanga; abakhulumi ngamagama nezimfundiso ezinzima, noma ngemibono ejulile; kunalokho baneqiniso, namazwi kaNkulunkulu, nolwazi lweqiniso likaNkulunkulu. Ingabe iqembu elinjengaleli akufanele liwenze acace amandla kaNkulunkulu? Umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ngumsebenzi wangempela. Ngenkathi kaJesu, wayengezanga ukuzophelelisa umuntu, kodwa ukuzomhlenga, ngakho-ke waveza ezinye izimanga ukuze abantu bamlandele. Ngoba wayezele ukuzoqedela umsebenzi wokubethelwa, ukuveza izimpawu kwakungeyona ingxenye yomsebenzi wenkonzo Yakhe. Izimpawu nezimangaliso kwakungumsebenzi owenziwa ukuze umsebenzi Wakhe uphumelele; kwakuwumsebenzi ongaphezulu, wawungamele umsebenzi wenkathi yonke. Ngesikhathi seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala, uNkulunkulu waphinde waveza ezinye izimpawu nezimangaliso—kodwa umsebenzi uNkulunkulu awenza namuhla ngumsebenzi wangempela, futhi ngeke aveze izimpawu nezimangaliso manje. Uma engaveza izimpawu nezimangaliso, umsebenzi Wakhe wangempela ungaxoveka, angabe esakwazi ukwenza omunye umsebenzi. Uma uNkulunkulu wayethe izwi alisetshenziselwe ukuphelelisa umuntu, kodwa wabuye wakhombisa izimpawu nezimangaliso, ngabe ukuthi abantu bayakholwa noma abakholwa Kuye kwakungacaciswa? Ngalokho, uNkulunkulu akazenzi izinto ezinjalo. Abantu bagcwele inkolo; uNkulunkulu ufikile ezinsukwini zokugcina ukuzochitha imibono yenkolo nezinto ezingaphezu kwemvelo kumuntu, enze abantu bazi uqobo lukaNkulunkulu. Uzele ukuzosusa isithombe sikaNkulunkulu esisengqondweni nesingamanga—isithombe sikaNkulunkulu, ngamanye amazwi, ongekho nhlobo. Ngakho-ke, manje into eyigugu ukuthi ube nolwazi lweqiniso! Iqiniso ledlula konke okunye. Uneqiniso elingakanani namuhla? Ingabe konke lokho kuveza uNkulunkulu wezimpawu nezimangaliso? Imimoya emibi nayo ingaveza izimpawu nezimangaliso; ingabe yonke inguNkulunkulu? Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, into efunwa umuntu yiqiniso, lokho akufunayo ukuphila, kunezimpawu nezimangaliso. Lokhu kumele kube yinhloso yabo bonke abakholwa kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 38)

Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. Ngalokho, eminyakeni eminingi emva kokuhamba Kwakhe, uMathewu wakha uhlu lozalo Lwakhe, nabanye futhi benza umsebenzi omningi owentando yomuntu. UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokuhlenga kukaJesu, futhi sibalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nengqikithi yale minyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha ukuze futhi uqonde inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, kanye ngisho nokukholwa kwakho nokuthanda kwakho iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba uqonde ngokugcwele. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokwenza umsebenzi wokuphetha? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi Akhe nawo afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke okunye ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela. Umsebenzi kaJehova kwakuwukudala umhlaba, wawuyisiqalo; lesi sigaba somsebenzi siyisiphetho salo msebenzi futhi yiso esiwuphothulayo. Ekuqaleni, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa abakhethiweyo bakwa-Israyeli futhi wawuyisiqalo senkathi entsha sendawo engcwele kunazo zonke. Isigaba sokugcina somsebenzi senziwa ezweni elingcole kunawo wonke ukuze kwahlulelwe umhlaba futhi ukuze kuqedwe inkathi. Esigabeni sokuqala, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa endaweni ekhanya kunazo zonke izindawo futhi isigaba sokugcina senziwa endaweni emnyama kunazo zonke, futhi lobu bumnyama buzoqedwa, kulethwe ukukhanya bese kunqotshwa bonke abantu. Lapho abantu abakulezi zindawo ezingcolile futhi ezimnyama kunazo zonke sebenqotshiwe, futhi bonke abantu sebebona ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso, futhi wonke umuntu eseqiniseka ngokugcwele, lokhu kuyosho ukuthi leli qiniso liyosetshenziselwa ukwenza umsebenzi wokunqoba indawo yonke. Lesi sigaba somsebenzi siwuphawu: lapho kuqedwa lo msebenzi okulesi sigaba, umsebenzi weminyaka eyizi-6 000 wokuphatha uzofika ekugcineni okuphelele. Lapho labo abasebumnyameni obukhulu sebenqotshiwe, akubuzwa ukuthi kuyobe kunjalo kuyo yonke indawo. Njengoba kunje, ngumsebenzi wokunqoba eChina kuphela ophethe uphawu olunomqondo. IChina iveza wonke amandla obumnyama futhi abantu bakhona bamele bonke labo abangabenyama, abakaSathane, abenyama negazi. Ngabantu baseChina abakhohlakaliswe kakhulu ngudrako omkhulu obomvu, obe ngumphikisi omkhulu kaNkulunkulu, obuntu bakhe bubi futhi bungcole kakhulu, futhi ngakho bawumfuziselo omkhulu waso sonke isintu esikhohlakele. Lokhu akusho ukuthi amanye amazwe awanazo nhlobo izinkinga; imicabango yabantu iyefana yonke, futhi nakuba abantu bala mazwe bengaba ngabezinga elihle, uma bengamazi uNkulunkulu, ngakho kungase kube bayamphikisa. Kungani wonke amaJuda amphikisa futhi amdelela uNkulunkulu? Kungani abaFarisi nabo bamphikisa? Kungani uJuda akhaphela uJesu? Ngaleso sikhathi, iningi labafundi lalingamazi uJesu. Kungani, emva kokuba uJesu ebethelwe wabuye wavuka, abantu bengakholwanga Kuye? Ngabe ukungalaleli komuntu akufani konke? Ukuthi nje abantu baseChina kwenziwa ngabo isibonelo, futhi lapho benqotshwa bazoba yimifuziselo nezibonelo, futhi bazosebenza njengokuzobhekiswa kukho ngabanye. Kungani bengilokhu ngithi nilusizo ohlelweni Lwami lokuphatha? Kusebantwini baseChina lapho inkohlakalo, ukungcola, ukungalungi, ukuphikisa nokuhlubuka kubonakala khona ngokuphelele futhi kwembulwa kuzo zonke izinhlobo zakho. Ngakolunye uhlangothi, bangabezinga eliphansi, futhi ngakolunye, ukuphila kwabo, ukucabanga kwabo kusemuva, futhi ukuziphatha kwabo, izimo zenhlalo, imindeni abazalwa kuyo—konke kuphansi futhi kusemuva. Isimo sabo, naso siphansi. Umsebenzi kule ndawo uyafanekisa, futhi ngemva kwalokhu kuhlola, umsebenzi wenziwe ngokuphelele, umsebenzi Wakhe olandelayo uzohamba kangcono kakhulu. Uma lesi sinyathelo somsebenzi singaqedwa, nomsebenzi olandelayo uzophela nakanjani. Uma lesi sigaba somsebenzi sesifeziwe, impumelelo enkulu iyobe isitholakele, futhi umsebenzi wokunqoba kuyo yonke indawo uyobe usufezwe ngokuphelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 39)

Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya oNgcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, futhi igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya oNgcwele waqala umsebenzi omusha, kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ubufakazi balabo ababekholwa Kuye babungokukaJesu Kristu, nomsebenzi ababewenza babewenzela uJesu Kristu. Isiphetho seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala sasho ukuthi umsebenzi kakhulu owawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova usufinyelele esiphethweni. Kusuka lapho, igama likaNkulunkulu kwakungaseyena uJehova; kunalokho wayesebizwa ngoJesu futhi kusukela lapho kuqhubeke uMoya oNgcwele waqala umsebenzi kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ngakho, namuhla, muntu osadla futhi aphuze amazwi kaJehova, futhi osenza konke ngokomsebenzi weNkathi Yomthetho—ingabe awuyilandeli yini ngobumpumputhe imithetho? Awubambekile enkathini edlule? Uyazi ukuthi izinsuku zokugcina sezifikile. Kungaba ukuthi, lapho uJesu efika, uyobe esabizwa ngoJesu? UJehova watshela abantu bakwa-Israyeli ukuthi uMesiya uyofika, kodwa futhi lapho efika, akabizwanga ngoMesiya kodwa kwathiwa uJesu. UJesu wathi uyobuya futhi, nokuthi uyofika njengokuhamba Kwakhe. Lawa kwakungamazwi kaJesu, kodwa wayibona indlela uJesu owahamba ngayo? UJesu wahamba egibele phezu kwefu elimhlophe, kodwa kungenzeka ukuthi uyobuya mathupha phakathi kwabantu ephezu kwefu elimhlophe? Uma bekunjalo, ubengeke alokhu ebizwa ngoJesu? Lapho uJesu ebuya futhi, inkathi iyobe isiguqukile kakade, ngakho ingabe uyobe esabizwa ngoJesu? Ingabe kusho ukuthi uNkulunkulu ngeke yini abizwa ngegama elisha enkathini entsha? Ingabe umfanekiso womuntu oyedwa negama elilodwa kungamela yini uNkulunkulu uqobo Lwakhe? Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi. Kungakhathaleki ukuthi kusenkathini kaJehova noma kaJesu, inkathi nenkathi imelwa yigama. Ekugcineni kweNkathi Yomusa, inkathi yokugcina isifikile futhi uJesu usefikile. Kwenzeka kanjani ukuthi nangaleso sikhathi abe esabizwa ngoJesu? Kwenzeka kanjani ukuba aqhubeke athathe isimo sikaJesu phakathi kwabantu? Ingabe usukhohliwe yini ukuthi uJesu wayengelutho olungaphezulu komfanekiso womNazaretha? Usukhohliwe ukuthi uJesu wayenguMhlengi wesintu kuphela? Kwakungenzeka kanjani ukuba enze umsebenzi wokunqoba nokuphelelisa abantu ngezinsuku zokugcina? UJesu wahamba egibele phezu kwefu elimhlophe—lokhu kuyiqiniso—kodwa wayengabuya kanjani ephezu kwefu elimhlophe phakathi kwabantu futhi abe esabizwa ngoJesu? Ukuba ngempela wabuya phezu kwefu, abantu babengahluleka kanjani ukumbona? Babengeke bonke abantu kuwo wonke umhlaba bambone? Uma kunjalo, wayengeke uJesu yedwa abe uNkulunkulu? Uma kunjalo umfanekiso kaNkulunkulu wawuyoba ukubukeka komJuda, futhi ngaphezu kwalokhu wawuyoba njalo unomphelo. UJesu wathi uyobuya njengoba ayehambile, kodwa uyawazi umqondo wangempela wamazwi Akhe? Kungenzeka ukuthi lokhu wakutshela leli qembu lenu? Konke okwaziyo ukuthi uyofika njengoba ahamba, egibele ifu, kodwa uyazi ngempela ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uwenza kanjani umsebenzi Wakhe? Uma ubukwazi ukubona ngempela, pho-ke kufanele achazwe kanjani amazwi awakhuluma uJesu? Wathi, “Kodwa lolo suku nalelo hora akekho owaziyo ngalo, cha, nezingelosi zasezulwini, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele” Ngisho iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ayazi, kodwa wena uyakwazi ukubona nokwazi? Ukuba ubukwazi nokubona ngamehlo akho, bekungeke kube la mazwi akhulunywe ngokuyize? Futhi wathini uJesu ngeleso sikhathi? “Kodwa lolo suku nalelo hora akukho muntu, owaziyo ngalo, nezingelosi zasezulwini, ngisho neNdodana, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele.” Lapho lolo suku lufika, iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ngeke ilwazi. INdodana yomuntu ikhuluma ngenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, umuntu ojwayelekile futhi ovamileyo. Ngisho iNdodana yomuntu ayazi, ngakho wena ubuyokwazi kanjani? UJesu wathi uyofika njengoba ahamba. Ukuthi ufika nini, ngisho Naye akazi, ngakho angakutshela yini ngaphambi kokuthi kwenzeke? Uyakwazi ukubona ukufika Kwakhe? Akulona ihlaya lokho?

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 40)

Njalo lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, uguqula igama Lakhe, ubulili, ukubukeka kanye nomsebenzi Wakhe; akawuphindi umsebenzi Wakhe. UnguNkulunkulu ohlale emusha futhi ongagugi neze. Kuqala lapho efika, wabizwa ngokuthi uJesu; ingabe usengabizwa ngoJesu kulokhu lapho esefika futhi? Ngesikhathi efika ekuqaleni, wayengowesilisa; angaba ngowesilisa futhi kulokhu? Umsebenzi Wakhe lapho efika ngeNkathi Yomusa kwakungukubethelwa esiphambanweni; lapho efika futhi ingabe usengahlenga isintu esonweni? Ingabe angabethelwa esiphambanweni futhi? Ingabe lokho ngeke kube ukuphinda umsebenzi Wakhe? Ubungazi yini ukuthi uNkulunkulu uyohlale emusha futhi akagugi neze? Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuphatha oluyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze aguquka, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi neze? Uma umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquki, ingabe ubengahola isintu yonke indlela kuze kube namuhla? Uma uNkulunkulu engaguquki, kungani pho esenze umsebenzi wezinkathi ezimbili? Umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili, okusho ukuthi isimo Sakhe siya ngokuya sembuleka kumuntu, futhi okwembulwayo yisimo Sakhe semvelo. Ekuqaleni, isimo sikaNkulunkulu sasifihliwe kumuntu, akazange asiveze obala isimo Sakhe kumuntu, futhi umuntu ngokusobala wayengenalo ulwazi Ngaye. Ngenxa yalokhu, usebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze aveze kancane kancane isimo Sakhe kumuntu, kodwa ukusebenza ngale ndlela akusho ukuthi isimo Sakhe siyaguquka ezinkathini zonke. Akukhona ukuthi isimo sikaNkulunkulu sihlale siguquka ngenxa yokuthi intando Yakhe ihlala iguquka. Kunalokho, kuwukuthi, ngenxa yokuthi izinkathi zomsebenzi Wakhe zehlukene, uNkulunkulu uthatha isimo Sakhe semvelo sonke bese esambula kancane kancane kumuntu, ukuze umuntu akwazi ukumazi. Kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi ekuqaleni uNkulunkulu akanaso isimo esithile noma ukuthi isimo Sakhe besilokhu siguquka kancane kancane ngokuguquka kwezinkathi—ukuqonda okunjalo kungaba yiphutha. UNkulunkulu uyaziveza kumuntu, isimo Sakhe, lokho ayikho ngempela, ngokudlula kwezinkathi. Umsebenzi wenkathi eyodwa awukwazi ukusiveza sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngakho, amazwi athi, “UNkulunkulu uhlala emusha futhi akasoze aguga” abhekise emsebenzini Wakhe, futhi amazwi athi “UNkulunkulu akaguquki” abhekise kulokho uNkulunkulu ngokwemvelo anakho nalokho ayikho. Kungakhathaleki ukuthi kunjani, ngeke ukwazi ukwenza ukuthi umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ume endaweni eyodwa, noma uwuveze ngamagama afile. Bunjalo ubuwula bomuntu. UNkulunkulu akalula njengoba umuntu ecabanga, futhi umsebenzi Wakhe ngeke ume kunoma iyiphi inkathi eyodwa. Igama elithi Jehova ngokwesibonelo, angeke lihlale limela igama likaNkulunkulu; uNkulunkulu angawenza umsebenzi Wakhe ngaphansi kwegama likaJesu. Lokhu kuwuphawu lokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubeka uya phambili.

UNkulunkulu uhlala enguNkulunkulu, futhi akasoze aba nguSathane; uSathane uyohlala enguSathane, akasoze aba nguNkulunkulu. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Ingqikithi Yakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwaguquka. Umsebenzi Wakhe, nokho, uhlala uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba Yena uhlala emusha futhi akasoze aguga. Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu uthatha igama elisha, enze umsebenzi omusha futhi avumele ukuba izidalwa Zakhe zibone intando Yakhe entsha nesimo esisha. Uma, enkathini entsha, abantu behluleka ukubona ukuvezwa kwesimo esisha sikaNkulunkulu, ingabe abasoze yini bambethela esiphambanweni unomphela? Futhi ngokwenza kanjalo, bayobe benganqumi yini uNkulunkulu? Ukuba uNkulunkulu weza enyameni kuphela njengomuntu wesilisa, abantu babeyomchaza njengomuntu wesilisa, njengoNkulunkulu wabesilisa, futhi babengasoze bakholwa ukuthi unguNkulunkulu wabesifazane. Abantu-ke babezobambelela ekuthini uNkulunkulu unobulili obufanayo nobamadoda, ukuthi uNkulunkulu uyinhloko yamadoda—bese kwenzekani-ke ngabesifazane? Akulungile lokhu; ngabe akukhona ukuphatha ngokwenzelela? Uma lokhu bekunjalo, ngakho bonke labo uNkulunkulu abasindisayo bekuyoba amadoda afana Naye, futhi akukho noyedwa owesifazane obeyosindiswa. Lapho uNkulunkulu edala isintu, wadala u-Adamu futhi wadala u-Eva. Akadalanga u-Adamu kuphela, kodwa wenza bobabili owesilisa nowesifazane ngomfanekiso Wakhe. UNkulunkulu akayena uNkulunkulu wamadoda kuphela—kodwa ungowamakhosikazi futhi. UNkulunkulu ungena esigabeni esisha somsebenzi ezinsukwini zokugcina. Uzoveza okukhudlwana kwesimo Sakhe, futhi ngeke kube uzwelo nothando lwesikhathi sikaJesu. Ngenxa yokuthi unomsebenzi omusha, lo msebenzi omusha uyophelezelwa yisimo esisha. Ngakho, ukuba umsebenzi wawenziwa nguMoya—ukuba uNkulunkulu akabanga yinyama, futhi kunalokho uMoya wakhuluma ngqo ngokuduma kwezulu ukuze umuntu angabi nandlela yokuba nokuthintana Naye, ingabe wayengakwazi umuntu ukwazi isimo Sakhe? Ukuba kwakuwuMoya wodwa owawenza umsebenzi, umuntu wayengeke abe nendlela yokufika ekwazini isimo sikaNkulunkulu. Abantu bakwazi kuphela ukubona isimo sikaNkulunkulu ngamehlo abo lapho eba yinyama, lapho izwi livela lisenyameni, nalapho eveza sonke isimo Sakhe ngenyama. UNkulunkulu uhlala ngokoqobo nangempela phakathi kwabantu. Uyathinteka; umuntu empeleni angaxhumana nesimo Sakhe, axhumane nalokho ayikho nanakho; kungale ndlela kuphela lapho umuntu engakwazi ngempela ukufinyelela ekumazini. Ngaso leso sikhathi, uNkulunkulu uphinde waphetha umsebenzi lapho “uNkulunkulu enguNkulunkulu wamadoda futhi enguNkulunkulu wabesifazane,” futhi wafeza wonke umsebenzi Wakhe esenyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 41)

Umsebenzi kaNkulunkulu kukho konke ukuphatha Kwakhe ucace bha: iNkathi Yomusa iyiNkathi Yomusa futhi izinsuku zokugcina ziyizinsuku zokugcina. Kunomehluko ogqamile phakathi kwenkathi ngayinye, ngoba enkathini ngayinye uNkulunkulu wenza umsebenzi omela leyo nkathi. Ukuze umsebenzi wezinsuku zokugcina ufezwe, kumele kube nokusha, ukwahlulela, ukusola, ulaka nembubhiso ukufikisa le nkathi ekugcineni. Izinsuku zokugcina zisho inkathi yokugcina. Enkathini yokugcina, ingabe uNkulunkulu ngeke ayiqede le nkathi? Ukuqeda inkathi, uNkulunkulu kufanele eze nokusola nokwahlulela. Yile ndlela kuphela angaqeda ngayo inkathi. Inhloso kaJesu, yayiwukuba umuntu aqhubeke asinde, aqhubeke aphile, futhi aphile ngendlela engcono. Wasindisa umuntu esonweni ukuze umuntu ayeka ukwehlela ekonakaleni futhi angabe esaphila eHayidesi nasesihogweni, futhi ngokusindisa umuntu eHayidesi nasesihogweni wayenzela ukuba umuntu aqhubeke aphile. Manje, sezifikile izinsuku zokugcina. UNkulunkulu uyoshabalalisa umuntu futhi abhubhise ngokuphelele isintu, okusho ukuthi, uyoguqula ukuhlubuka kwesintu. Ngenxa yalokhu, bekungeke kwenzeke, ngesimo esinozwelo nokuthanda senkathi eyedlule, ukuba uNkulunkulu aphethe inkathi noma aphumelelise uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Inkathi nenkathi iveza okuthile okukhethekile ngesimo sikaNkulunkulu, futhi yonke inkathi iqukethe umsebenzi okufanele wenziwe nguNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu uqobo enkathini ngayinye uqukethe ukubonakaliswa kwesimo Sakhe sangempela, bese kokubili igama Lakhe kanye nomsebenzi awenzile kuguquka kanye nesikhathi; konke kusha. NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho. Emsebenzini weNkathi Yomusa, uJesu wayenguNkulunkulu owayesindisa umuntu. Lokho ayenakho nayeyikho kwakuwumusa, uthando, ububele, isineke, ukubekezela, ukuthobeka, ukunakekela kanye nokubekezelelana, futhi okuningi komsebenzi awenza kwakungokokukhululwa komuntu. Mayelana nesimo Sakhe, kwakungesobubele nothando, futhi ngenxa yokuthi wayenobubele nothando, kwadingeka ukuba abethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu, akhombise ukuthi uNkulunkulu wathanda umuntu njengoba ayezithanda Yena, kangangokuthi waze wazinikela Yena uqobo Lwakhe lonke. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando Lwakhe, ububele Bakhe, nensindiso Yakhe konke kwakuhambisana nawo wonke umuntu. Kwakungokwamukela igama leNkosi uJesu nobukhona Bakhe kuphela lapho umuntu wayengathola khona ukuthula nenjabulo, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, kanye nensindiso Yakhe. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Ngamanye amazwi umsebenzi wangeNkathi Yomusa, umsebenzi wawenziwa egameni likaJesu kakhulu. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Wenza isigaba somsebenzi omusha ngemva kweTestamente Elidala futhi umsebenzi Wakhe waphetha ngokubethelwa. Lokhu kwakuwumsebenzi wakhe wonke. Ngakho, ngeNkathi Yomthetho, uJehova kwakuyigama likaNkulunkulu futhi ngeNkathi Yomusa uJesu wayemele uNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, igama Lakhe uNkulunkulu uSomandla—Onamandla onke futhi usebenzisa amandla Akhe ukuze aqondise umuntu, anqobe umuntu futhi azuze umuntu, bese ekugcineni, aphethe inkathi. Kuzo zonke izinkathi, kuso sonke isigaba somsebenzi Wakhe, isimo sikaNkulunkulu siyabonakala.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 42)

Ingabe igama likaJesu—“UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Ngakho-ke, kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe. Ngisho kunjalo, abantu abaningi asebedlule ekuzweni ngokomoya futhi asebembone mathupha uNkulunkulu basezwa ukuthi leli gama elithile alikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuphelele—awu, akukho okungenziwa ngalokhu, ngakho umuntu akasambizi uNkulunkulu nganoma yiliphi igama, kodwa umbiza nje ngokuthi “Nkulunkulu.” Kusengathi inhliziyo yomuntu igcwele uthando kodwa futhi ixakwe yizimpikiswano, ngoba umuntu akakwazi ukuchaza uNkulunkulu. Ayikho uNkulunkulu kucebe kakhulu, akukho ndlela yokukuchaza. Alikho igama elilodwa elingaqoqa isimo sikaNkulunkulu, futhi akukho gama elilodwa elingachaza lokho uNkulunkulu anakho nayikho. Uma umuntu engibuza, “Empeleni yiliphi igama olisebenzisayo?” Ngiyomtshela ukuthi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu!” Akulona igama elihle lelo likaNkulunkulu? Akukhona ukuqoqa kahle kakhulu isimo sikaNkulunkulu? Uma kunjalo-ke, kungani nichitha amandla angaka nifuna igama likaNkulunkulu? Kungani kufanele nizihlekeze ubuchopho, nizile ukudla nobuthongo, konke ngenxa yegama nje? Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayofinyelela ekugcineni, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usufike ekugcineni, ngemva kwalokho ngeke esaba nawo amagama. Lapho zonke izinto sezingaphansi kokubusa koMdali, unasiphi isidingo segama elifanaleke kakhulu kodwa elingaphelele? Namanje usathungatha igama likaNkulunkulu? Usalokotha uthi uNkulunkulu ubizwa kuphela ngoJehova? Usalokotha uthi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngoJesu? Ungakwazi yini ukuthwala isono sokuhlambalaza uNkulunkulu? Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, ukuthi ubizwa ngokuthi uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla amakhulu, ohlakaniphe kakhulu, ophakeme kakhulu, omangalisa kakhulu, ofihlakele kakhulu, onamandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okuncane okwaziyo. Njengoba kunjalo, ingabe igama nje likaJesu lingamela uNkulunkulu uqobo? Lapho izinsuku zokugcina zifika, nakuba kusenguye uNkulunkulu owenza umsebenzi Wakhe, igama Lakhe kufanele liguquke, ngoba sekuyinkathi eyehlukile.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 43)

Ngesikhathi uJesu efika ezokwenza umsebenzi Wakhe, kwawungaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele; wenza lokho uMoya oNgcwele owawukufuna futhi kwakungekhona okungokweNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala noma ngokwendlela yomsebenzi kaJehova. Nakuba umsebenzi uJesu ayezele ukuzowenza wakungekhona ukuzogcina imithetho kaJehova noma imiyalelo kaJehova, umthombo wakho wawufana. Umsebenzi uJesu awenza wawumele igama likaJesu futhi wawumele iNkathi Yomusa; umsebenzi owawenziwa uJehova, wona wawumele uJehova kanye neNkathi Yomthetho. Umsebenzi wabo kwakuwumsebenzi kaMoya owodwa osezinkathini ezimbili ezehlukene. Umsebenzi uJesu awenza wawungamela iNkathi Yomusa kuphela nomsebenzi uJehova awenza nawo wawungamela iNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. UJehova wayeqondisa kuphela abantu bakwa-Israyeli nabaseGibhithe kanye nazo zonke izizwe ezingale kuka-Israyeli. Umsebenzi kaJesu weNkathi Yomusa yeTestamente Elisha wawungumsebenzi kaNkulunkulu ngaphansi kwegama likaJesu njengoba ayeqondisa leyo nkathi. Uma uthi umsebenzi kaJesu wawusekelwe kokaJehova, ukuthi akazange aqale umsebenzi omusha, nokuthi konke akwenza kwakuvumelana namazwi kaJehova, nomsebenzi kaJehova, kanye neziprofetho zika-Isaya, uJesu wayengeke-ke abe uNkulunkulu obe yinyama. Ukuba wenza umsebenzi Wakhe ngale ndlela, wayeyoba ngumphostoli noma isisebenzi seNkathi Yomthetho. Uma kunjengoba usho, kusho ukuthi uJesu wayengeke akwazi ukuqala inkathi futhi awukho omunye umsebenzi ayengawenza. Ngendlela efanayo, uMoya oNgcwele kumele kakhulu wenze umsebenzi Wakhe ngoJehova, futhi ngaphandle kukaJehova uMoya oNgcwele wawungeke ukwazi ukwenza umsebenzi omusha. Umuntu unephutha ngokuqonda umsebenzi kaJesu ngale ndlela. Uma umuntu ekholwa ukuthi umsebenzi owenziwe uJesu wawuvumelana namazwi kaJehova kanye neziprofetho zika-Isaya, ingabe uJesu wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu noma wayengomunye wabaprofethi? Ngokwalo mbono, kwakungebe khona Nkathi Yomusa futhi uJesu wayengeke abe uNkulunkulu osenyameni, ngoba umsebenzi awenza wawungakwazi ukumela iNkathi Yomusa futhi wawungamela kuphela iNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. Kwakungaba nenkathi entsha kuphela lapho uJesu efika ezokwenza umsebenzi omusha, ukuqala inkathi entsha, ukwedlula umsebenzi owawukade wenziwe kwa-Israyeli, kanye nokwenza umsebenzi Wakhe ngokungahambisani nomsebenzi owenziwa nguJehova kwa-Israyeli noma nemithetho Yakhe emidala, noma ngokuhambisana nayiphi imithetho, kodwa ukwenza umsebenzi omusha okwakufanele awenze. UNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzovula inkathi futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzoqeda inkathi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi wokuqala inkathi nokuphetha inkathi. Ukuba uJesu akazange afikise umsebenzi kaJehova ekupheleni emva kokufika Kwakhe, lokho-ke kwakuyoba ubufakazi bokuthi wayengumuntu nje futhi engakwazi ukumela uNkulunkulu. Ngenxa kanye yokuthi uJesu weza waphetha umsebenzi kaJehova, waqhuba umsebenzi kaJehova futhi, ngaphezu kwalokho, wenza umsebenzi Wakhe, umsebenzi omusha, kubonisa ukuthi lokhu kwakuyinkathi entsha nokuthi uJesu wayenguNkulunkulu uqobo. Benza izigaba zomsebenzi ezehlukene ngokucacile. Esinye isigaba sasenziwa ethempelini, kanti esinye sasenziwa ngaphandle kwalo. Omunye wale misebenzi wawungukuhola abantu ngendlela yomthetho kanti omunye wawungukunikela umnikelo wesono. Zombili lezi zigaba zomsebenzi zazehlukene ngokusobala; lokhu kwehlukanisa inkathi entsha kwendala, futhi kuliqiniso elimsulwa ukuthi ziyizinkathi ezimbili ezehlukene. Indawo yomsebenzi Wabo yayehlukene futhi umongo womsebenzi Wabo wawehlukene futhi nezinhloso zomsebenzi Wabo zazehlukene. Ngakho, zingahlukaniswa zibe yizinkathi ezimbili: ITestamente Elisha neTestamente Elidala, okuwukuthi, inkathi entsha nendala. Lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, okufakazela ukuthi inkathi kaJehova yayisiphelile. Akangenanga ethempelini ngoba umsebenzi kaJehova ethempelini wawusuphelile, futhi wawungasadingi ukuphinde wenziwe, futhi ukuwenza futhi kwakuyoba ukuwuphinda. Kwaba ngokushiya ithempeli, ukuqala umsebenzi omusha kanye nokuvula indlela entsha ngaphandle kwethempeli, lapho akwazi khona ukufikisa umsebenzi kaNkulunkulu esicongweni sawo. Ukuba akaphumanga ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe, umsebenzi kaNkulunkulu wawuyoma ndawonye ezisekelweni zethempeli, futhi kwakungeke kube nezinguquko ezintsha. Ngakho, lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, futhi akenzanga umsebenzi Wakhe phakathi ethempelini. Wenza umsebenzi Wakhe ngaphandle kwethempeli, futhi, ehola abafundi, wenza umsebenzi Wakhe ngokukhululeka. Ukuhamba kukaNkulunkulu ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe kwasho ukuthi uNkulunkulu wayenohlelo olusha. Umsebenzi wakhe wawuzokwenziwa ngaphandle kwethempeli, futhi kwakuzoba umsebenzi omusha owawungeke ubambeke endleleni yokwenziwa kwawo. Eqeda nje ukufika uJesu, waqeda umsebenzi kaNkulunkulu wangesikhathi seTestamente Elidala. Nakuba zazibizwa ngamagama amabili angafani, kwaba nguMoya owodwa owafeza zombili lezi zigaba zomsebenzi, futhi nomsebenzi owawenziwa wawuqhubeka njalo Njengoba igama lalehlukile, nokuqukethwe umsebenzi kwakwehlukile, inkathi yayihlukile. Lapho uJehova efika, leyo kwakuyinkathi kaJehova nalapho uJesu efika, leyo kwakuyinkathi kaJesu. Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 44)

“UJehova” yigama engalisebenzisa ngenkathi ngisebenza kwa-Israyeli, futhi lisho uNkulunkulu wama-Israyeli (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu) ongazwela umuntu, amqalekise umuntu futhi aqondise ukuphila komuntu. Lisho uNkulunkulu onamandla amakhulu futhi ogcwele ukuhlakanipha. “UJesu” ungu-Emanuweli, okusho umnikelo wesono ogcwele uthando, ogcwele ububele futhi okhulula isintu. Wenza umsebenzi Wenkathi Yomusa, futhi wamelela ingxenye eyodwa yohlelo lokuqondisa. Okusho ukuthi, uJehova kuphela onguNkulunkulu wabantu baka-Israyeli abakhethiweyo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, uNkulunkulu kaJakobe, uNkulunkulu kaMose noNkulunkulu wabo bonke abakwa-Israyeli. Ngakho, nakule nkathi, bonke abakwa-Israyeli, ngaphandle kwamaJuda, bakhonza uJehova. Bamenzela iminikelo e-altare futhi bamkhonze begqoke izingubo zabapristi ethempelini. Abanethemba lakho ukubonakala kukaJehova futhi. NguJesu kuphela ongoMhlengi wesintu. Ungumnikelo wesono owahlenga isintu esonweni. Okusho ukuthi, igama likaJesu livela eNkathini Yomusa, futhi belilokhu likhona ngenxa yomsebenzi wokukhulula weNkathi Yomusa. Igama likaJesu libe khona ukuze abantu bangeNkathi Yomusa bazalwe kabusha futhi basindiswe, futhi liyigama elithile lokuhlenga sonke isintu. Ngakho igama likaJesu limelela umsebenzi wokuhlenga, futhi lisho iNkathi Yomusa. Igama elithi Jehova, liyigama elithile labantu bakwa-Israyeli ababephila ngaphansi komthetho. ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. “UJehova” umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli. “UJesu” umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa. Uma umuntu elangazelela ukufika kukaJesu uMsindisi phakathi nezinsuku zokugcina, kodwa esalindele ukuba afike engumfanekiso ayeyiwo eJudiya, ngakho lonke uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luzoma ngeNkathi Yokuhlengwa, futhi angeke akwazi uqhubekele phambili. Ngaphezu kwalokho, izinsuku zokugcina azisoze zafika, futhi inkathi ngeke iqedwe. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu uMsindisi uhlenga futhi asindise isintu. Ngathatha igama likaJesu ngenzela zonke izoni zangeNkathi Yomusa futhi akulona igama engizoliletha ukuqeda ngesintu. Nakuba uJehova, uJesu kanye noMesiya bonke bemelela uMoya Wami, la magama abonisa kuphela izinkathi ezihlukahlukene zohlelo Lwami lokuqondisa futhi awameleli sonke isiqu Sami. Amagama abantu abasemhlabeni abangibiza ngawo awakwazi ukusiveza sonke isimo Sami semvelo nakho konke engiyikho. Amane angamagama nje engibizwa ngawo ezinkathini ezingafani. Futhi, lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya. Ngizobizwa ngoNkulunkulu uSomandla Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi. Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo kusuka ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo. Abantu abakaze baxhumane Nami futhi abakaze bangazi, bebelokhu bengasinakile isimo Sami semvelo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube namhlanje, akekho owake wangibona. Lona nguNkulunkulu obonakala kubantu phakathi nezinsuku zokugcina kodwa ofihlekile ebantwini. Uhlala ebantwini, uyiqiniso futhi ungokoqobo njengelanga elishisayo nomlilo ovutha amalangabi, onamandla nogcwaliswe ngegunya. Akekho noyedwa umuntu noma into engeke yahlulelwa ngamazwi Ami, futhi akekho noyedwa ongeke angacwengwa ngomlilo ovuthayo. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa yamazwi Ami, futhi ziyophihlizwa zibe yizicucu ngenxa yamazwi Ami. Ngaleyo ndlela, bonke abantu ngezinsuku zokugcina bayobona ukuthi nginguMsindisi obuyile, nginguNkulunkulu uMninimandla Onke onqobe sonke isintu, owake waba ngumnikelo wesono kubantu, kodwa ezinsukwini zokugcina ngiba nayimisebe yelanga eshisa zonke izinto, kanye nelanga lokulunga elambula izinto zonke. Lowo umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngithathe leli gama futhi nginalesi simo semvelo ukuze bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu olungile, futhi ngiyilanga elishisayo, nomlilo onamalangabi. Ukuze bonke bangidumise Mina Nkulunkulu weqiniso, babubone ubuso Bami bangempela: Angiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi angiyena nje uMhlengi—nginguNkulunkulu wayo yonke indalo emazulwini nasemhlabeni nasolwandle.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 45)

Lapho uMsindisi efika ezinsukwini zokugcina, uma esabizwa ngoJesu futhi, waphinde wazalwa eJudiya futhi, wenza umsebenzi Wakhe eJudiya, ngakho lokho bekuyobonisa ukuthi ngadala abantu bakwa-Israyeli futhi ngahlenga abantu bakwa-Israyeli kuphela nokuthi ayikho into engihlanganisa nabeZizwe. Ingabe lokhu angeke kushayisane namazwi Ami ukuthi “nginguNkulunkulu owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto”? Ngalishiya iJudiya ngenza umsebenzi Wami kwabeZizwe ngoba angiyena nje uNkulunkulu wabantu bakwa-Israyeli, kodwa, nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Ngibonakala kwabeZizwe ezinsukwini zokugcina ngoba angiyena uJehova kuphela, uNkulunkulu wama-Israyeli, kuphela, kodwa kunalokho, ngoba nginguMdali wabo bonke abakhethiweyo Bami phakathi kwabeZizwe. Angidalanga kuphela u-Israyeli, iGibhithe neLebhanoni, kodwa ngadala zonke iZizwe, ngale kuka-Israyeli. Futhi ngenxa yalokho ngiyiNkosi yayo yonke indalo. Ngimane ngasebenzisa u-Israyeli njengesiqalo somsebenzi Wami, ngasebenzisa iJudiya neGalile njengenqaba yomsebenzi Wami wokuhlenga, futhi ngasebenzisa abantu beZizwe njengesisekelo engizolethela ngaso yonke inkathi ekugcineni. Ngenza izigaba ezimbili zomsebenzi kwa-Israyeli (izigaba ezimbili zomsebenzi weNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa), futhi bengilokhu ngiqhubeka nezinye izigaba zomsebenzi ezimbili (iNkathi Yomusa neNkathi Yombuso) kuyo yonke indawo ngale kuka-Israyeli. Kubantu beZizwe ngizokwenza umsebenzi wokunqoba futhi ngiphothule inkathi. Uma umuntu elokhu engibiza ngoJesu Kristu, kodwa engazi ukuthi ngiqale inkathi entsha phakathi nezinsuku zokugcina futhi ngiphikelele emsebenzini omusha futhi uma umuntu elindele ngokweqile ukufika kukaJesu uMsindisi, abantu abanjalo ngiyobabiza njengalabo abangazange bakholelwe Kimi. Bangabantu abangangazi, futhi ukukholwa kwabo Kimi kuwubuzenzisi. Ingabe abantu abanjalo bangakubona ukufika kukaJesu uMsindisi evela ezulwini? Abakulindele akukhona ukufika Kwami, kodwa ukufika kweNkosi yamaJuda. Abakulangazelele ukubhubhisa Kwami lo mhlaba omdala, kunalokho balindele ukufika kukaJesu kwesibili, lapho beyohlengwa khona; balangazelele ukufika kukaJesu ezophinde akhulule bonke abantu kuleli zwe elinzima nelingalungile. Abantu abanjalo bangaba kanjani abaqeda umsebenzi Wami phakathi nezinsuku zokugcina? Izifiso zomuntu azikwazi ukumenza athole izifiso Zami noma afeze umsebenzi Wami, ngoba umuntu umane nje wazisa umsebenzi engiwenzile esikhathini esedlule, futhi akaqondi nakancane ukuthi nginguNkulunkulu Uqobo ohlezi emusha nongagugi. Umuntu wazi kuphela ukuthi nginguJehova, noJesu, akanako nokuncane ukusola kokuthi ngingowokugcina, Lowo oyoletha isintu ekugcineni. Konke abantu abakulangazelelayo nabakwaziyo kumane kuyimicabango yabo, futhi kumane kuyilokho abangakubona ngamehlo abo. Akuyeli nakuyela emsebenzini engiwenzayo, akuhambisani nawo. Ukube umsebenzi Wami ubuwenziwe ngokwendlela yomuntu, lokho bekuyosho ukuthi uphela nini? Kunini lapho isintu siyongeka khona ekuphumuleni? Futhi ngiyokwazi kanjani ukungena osukwini lwesikhombisa, iSabatha? Ngisebenza ngokwalokho engikuhlelile Kwami, ngokwenhloso Yami, hhayi ngokwenhloso yomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Isandulelo

Okulandelayo: Ukubonakala KukaNkulunkulu Nomsebenzi Wakhe

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp