Uyini Umehluko Phakathi KobuKristu NeBandla LikaNkulunkulu USomandla?

November 13, 2017

UbuKristu neBandla likaNkulunkulu uSomandla bakholelwa kuNkulunkulu ofanayo. Abantu abawuqondayo umlando wenkolo bayazi ukuthi ubuJuda kwa-Israyeli baba umphumela womsebenzi uJehova uNkulunkulu awenza phakathi neNkathi Yomthetho. UbuKristu, ubuKatolika, nobu-Orthodox baseMpumalanga konke kungamabandla aba khona ngemva komsebenzi wokuhlenga weNkosi uJesu isesimweni somuntu. Ngokufanayo, iBandla likaNkulunkulu uSomandla laba khona lapho uNkulunkulu eba senyameni phakathi nezinsuku zokugcina ukuzokwenza umsebenzi wokwahlulela. AmaKristu angeNkathi Yomusa ayefunda iTestamente Elidala Nelisha leBhayibheli, kanti amaKristu eBandla likaNkulunkulu uSomandla angeNkathi Yombuso manje afunda Izwi Livela Lisenyameni, elakhulunywa uNkulunkulu ngathupha ezinsukwini zokugcina. UbuKristu buphila ngokuvumelana nomsebenzi wokuhlenga iNkosi uJesu eyawenza ngeNkathi Yomusa, futhi iBandla likaNkulunkulu uSomandla liyawamukela umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina weNkosi uJesu ebuyile, uNkulunkulu uSomandla. Umehluko phakathi kobuKristu neBandla likaNkulunkulu uSomandla ukuthi ubuKristu buphila ngokuvumelana nomsebenzi uNkulunkulu awenza ngeNkathi Yoythetho nangeNkathi Yomusa, kuyilapho iBandla likaNkulunkulu uSomandla liphila ngokuvumelana nomsebenzi wokwahlulela oqala ebandleni likaNkulunkulu uSomandla awenza phakathi nezinsuku zokugcina. Umehluko phakathi kobuKristu neBandla likaNkulunkulu uSomandla ufana nomehluko ophakathi kobuKristu nobuJuda: Phakathi neNkathi Yomusa, iNkosi uJesu yenza umsebenzi wokuhlenga isintu phezu kwesisekelo somsebenzi weTestamente Elidala leNkathi Yoythetho. Kodwa abapristi abakhulu, ababhali, nabaFarisi bobuJuda abaqaphelanga ukuthi iNkosi uJesu isesimweni somuntu njengoJehova, ukuthi yayinguMesiya ababemlindele. Baqinisa amakhanda babambelela emithethweni nasemiyalelweni yeTestamente Elidala eyayimenyezelwe uJehova uNkulunkulu. Baphinde babethela iNkosi uJesu enesihe esiphambanweni, eyayisindise isintu, ngaleyo ndlela bacasula isimo sikaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu wabuqeda bonke ubuJuda, obabubambelele emithethweni yeTestamente Elidala, futhi insindiso Yakhe wayinikeza abeZizwe—okwathi, ngemva kokwamukela nokulandela iNkosi uJesu, benza amabandla eTestamente Elisha, nawo abizwa ngawobuKristu. Kusenjalo, amaJuda, abambelela kuphela emsebenzini kaJehova uNkulunkuluu weTestamente Elidala weNkathi Yomthetho futhi enqaba umsebenzi wokuhlenga weNkosi uJesu, akha okubizwa ngokuthi ubuJuda. Ngokunjalo, kwezu kwesisekelo somsebenzi weNkosi uJesu wokuhlenga weNkathi Yomusa, uNkulunkulu uSomandla ubonakalise iqiniso futhi wenza umsebenzi wokwahlulela kusukela kuqala endlini kaNkulunkulu ngeNkathi Yombuso. Abaningi abasuka kuwo wonke amabandla obuKristu abathanda iqiniso futhi abalangazelele ukubonakaliswa kweNkosi bafunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla futhi bawabona njengephimbo likaNkulunkulu. Beneqiniso lokuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile, bamamukela uNkulunkulu uSomandla, futhi kanjalo iBandla LikaNkulunkulu uSomandla lasungulwa kanjalo. Kulokhu kuyabonakala ukuthi ubuKristu neBandla likaNkulunkulu uSomandla bakholelwa kuNkulunkulu ofanayo—iNkosi eyadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto. Ukuthi nje igama nomsebenzi kaNkulunkulu abantu ababambelele kukho akufani: IBandla likaNkulunkulu uSomandla liphila ngokuvumelana negama elisha likaNkulunkulu phakathi neNkathi Yombuso, futhi lamukela umsebenzi omusha owenziwa uNkulunkulu phakathi nezinsuku zokugcina, kuyilapho ukubuKristu bubambelele egameni likaNkulunkulu langesikhathi seNkathi Yomusa, futhi bamukela umsebenzi omdala owenziwa uNkulunkulu ngezinkathi ezedlule. Lona umehluko obaluleke kakhulu phakathi kobuKristu neBandla likaNkulunkulu uSomandla. Nokho, uNkulunkulu bobabili abakholelwa kuye uyefana: Owukuphela kukaNkulunkulu owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto. Leli yiqiniso okungekho muntu ongalihlanakezela noma aliphikise!

AmaKristu amaningi akholelwa ukuthi kudingeka amukele umsebenzi wokuhlenga weNkosi uJesu kuphela ukuze angene embusweni wezulu, futhi akudingeki aphinde amukele umsebenzi wokwahlulela kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina. Ukucabanga okunjalo kuyiphutha ngokuphelele. Phakathi neNkathi Yomusa, iNkosi uJesu yenza umsebenzi wokuhlenga. Abantu babesindiswa ngenxa yokholo lwabo, futhi babengasalahlwa umthetho futhi babulawe ngenxa yeziphambeko zabo. Noma kunjalo iNkosi uJesu yathethelela izono zabantu kuphela, futhi ayisixolelanga noma ilungise isimo somuntu sokona. Ukuba nesono okungaphakathi kubantu—ukuqhosha nokuzazisa, ubugovu nokuhaha, ukukhohlakala nokukhohlisa, kanye nokuvukela nokumelana noNkulunkulu—kuqhubeka kukhona. Abantu kwakusadingeka bahlanzwe, basindiswe, futhi bamukelwe uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho, iNkosi uJesu yasho kaningi ukuthi kumele ibuye. Ezindaweni eziningi eBhayibhelini kuprofethwa ukuthi uNkulunkulu kufanele abuye futhi ahlulele, alethe abangcwele embusweni wezulu. UNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina osesimweni somuntu uye wakhuluma wonke amaqiniso ukuze kuhlanzwe futhi kusindiswe isintu, futhi uye wenza umsebenzi omusha wokwahlulela eqala endlini kaNkulunkulu esekelwe emsebenzini weNkosi uJesu wokuhlenga. Lokhu kungenxa yokulungisa isimo sabantu sokona, nokuvumela isintu ukuba sizikhulule ngokuphelele ebugqilini nasemandleni esono, ukuphila njengomuntu woqobo nokwamukelwa uNkulunkulu, nokungena ekusaseni eliqhakazile uNkulunkulu alilungiselele abantu. Kungashiwo ukuthi umsebenzi wokuhlenga owenziwa iNkosi uJesu uyisisekelo somsebenzi wokuhlenga kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, kuyilapho umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina ungumgogodla nalapho kugxile khona umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa. Lesi yisigaba somsebenzi esibucayi nesibaluleke kakhulu ekusindisweni kwesintu. Yilabo kuphela abamukela umsebenzi wokwahlulela kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina abazoba nethuba lokusindiswa futhi bangene embusweni wezulu futhi babe phambi kukaNkulunkulu. Namuhla, abanye abantu emahlelweni nasemaqenjini ezenkolo ahlukahlukene baye babona ukuthi uNkulunkulu uSomandla ungukubuya kweNkosi uJesu phakathi nezinsuku zokugcina, ngaleyo ndlela baye bamukela uNkulunkulu uSomandla futhi bamlandela. Nabanye abangakholwa baye bamukela uNkulunkulu uSomandla ngenxa yamaqiniso akhulunywe uNkulunkulu uSomandla. Laba bantu abakholelwa kuNkulunkulu uSomandla bakha iBandla likaNkulunkulu uSomandla. Ngaphansi kokuqondiswa nokwaluswa uKristu wezinsuku zokugcina, amaKristu eBandla likaNkulunkulu uSomandla aye, ngokubona nokwenza amazwi kaNkulunkulu uSomandla, kancane kancane aye aqonda amaqiniso amaningi, futhi awubonile umthombo nengqikithi yokonakala kwabantu. Ngaphansi kokwahlulelwa nokusolwa amazwi kaNkulunkulu, abantu bakwazile ngempela ukunambitha ukulunga nesimo esingacasuki sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi bayamazi uNkulunkulu, kancane kancane baye besaba uNkulunkulu futhi bagwema okubi, futhi baphila ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu. Ngokuqonda iqiniso abanakho, ulwazi abantu abanalo ngoNkulunkulu luye lwajula kancane kancane, ukulalela kwabo uNkulunkulu kuye kwaba kukhulu, futhi baye baphila ngokuvumelana namaqiniso amaningi ngokwengeziwe. Bengaboni, laba bantu bazozikhulula ngokuphelele esonweni futhi bazuze ubungcwele. AmaKristu angawamukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu uSomandla, ngesikhathi esifanayo, asaqhubeka nokukholelwa ebuKristwini. Asebenzisa igama leNkosi uJesu, aphila ngokuvumelana nezimfundiso zeBhayibheli, futhi kade uNkulunkulu awaphonsa ebumnyameni, alahlekelwa ukunakekela nesivikelo sikaNkulunkulu. Leli yiqiniso elisobala. Uma abantu bephikelela nokushaya indiva ukuphenduka, bemelene futhi bekuphika ngokucacile ukubuya kweNkosi uJesu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uSomandla, futhi bekwenqaba ukwamukela umsebenzi wokwahlulela kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina, ngakho ekugcineni, umsebenzi kaNkulunkulu uzobaqeda bonke.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp