Umsuka Nentuthuko YeBandla LikaNkulunkulu USomandla

July 25, 2017

ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu yathembisa abalandeli Bayo, “Ngiyonilungisela indawo. Futhi uma ngihamba ngiyonilungisela indawo, ngizophinde ngibuye, futhi nginamukele Kimi; ukuze lapho ngikhona, nibe khona nani(Johane 14:3). Waphinda waprofetha, “Njengombani ovela empumalanga okhanya ngisho nasentshonalanga, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu(Mathewu 24:27). Ezinsukwini zokugcina, njengoba kwathenjiswa futhi kwabikezelwa Nguye uNkulunkulu usephinde waba yinyama futhi wehlela eMpumalanga yomhlaba—eShayina—ukwenza umsebenzi wokwahlulela, ukusola, ukuhlanza nokusindisa esebenzisa izwi, esisekelweni somsebenzi wokuhlenga weNkosi uJesu. Ngalokho iziprofetho zeBhayibheli zokuthi “uKwahlulelwa kuqala endlini kaNkulunkulu(1 Petru 4:17). nokuthi “Onezindlebe makezwe okushiwo uMoya emabandleni(IsAmbulo 2:7). nazo zigcwalisekile. Umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina uqede iNkathi Yomusa futhi kwangena iNkathi Yombuso. Njengoba ivangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla lisakazeka ngokushesha eZwekazini laseShayina, abantu bazo zonke izinkolo namahlelo abathanda iqiniso futhi abalangezelela ukuthi uNkulunkulu abonakale bafunda amazwi kaNkulunkulu futhi bawabona eyiqiniso, eyiphimbo likaNkulunkulu. Baqiniseka ukuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyileyo, base belandelana bemukela uNkulunkulu uSomandla. IBandla likaNkulunkulu uSomandla liye lasunguleka. Njengoba kuye kwafakazelwa amaqiniso, iBandla likaNkulunkulu uSomandla liye lasunguleka ngenxa yokubonakala nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, futhi alisungulwanga umuntu. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abakhethiweyo eBandleni likaNkulunkulu uSomandla bathandaza egameni likaNkulunkulu uSomandla, bahlonipha umsebenzi Wakhe, futhi bamukela wonke amaqiniso aboniswa Nguye. Ngakho kusobala ukuthi laba bantu abakhethiweyo bakholelwa kuKristu oba sesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu owenzayo owumoya ubonakale esenyameni, kunokukholelwa kumuntu. Uma ubuka nje ngaphandle, kubukeka sengathi uNkulunkulu uSomandla umane nje uyiNdodana yomuntu, kodwa ugqokise uMoya kaNkulunkulu futhi uyiqiniso, indlela nokuphila. Umsebenzi Wakhe nezwi Lakhe kuwukubonakaliswa koMoya kaNkulunkulu futhi kuwukubonakala kukaNkulunkulu njengomuntu. Ngakho unguNkulunkulu ongokoqobo osesimweni somuntu.

Ngo-1991, uNkulunkulu uSomandla, uKristu wezinsuku zokugcina, waqala ngokusemthethweni ukwenza inkonzo Yakhe eShayina. Wezwakalisa izigidi zamazwi futhi waqala ukwenza umsebenzi wokwahlulela wesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe ezinsukwini zokugcina. Njengoba amazwi kaNkulunkulu uSomandla esho, “Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela(“UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “UNkulunkulu wenza umsebenzi wezwi ezinsukwini zokugcina, kanti amagama anjengalawa oMoya oNgcwele, ngoba uNkulunkulu unguMoya oNgcwele futhi uyakwazi ukuba yinyama; ngakho-ke, amazwi oMoya oNgcwele, njengoba ekhulunyiwe esikhathini esedlule, angamazwi kaNkulunkulu osenyameni namuhla. … Ukuze uNkulunkulu akhulume enze umsebenzi, kumele abe yinyama, kungenjalo umsebenzi Wakhe ngeke uyifeze inhloso Yakhe(“Umuntu Ochaze UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngenxa yokubonakala namazwi kaKristu wezinsuku zokugcina, abantu abomele nabafuna iqiniso baye banqotshwa futhi bacwengisiswa amazwi kaNkulunkulu uSomandla, nababona ekwahluleleni nasekusoleni kukaNkulunkulu ukubonakala kukaNkulunkulu nokubuya koMhlengi.

IBandla likaNkulunkulu uSomandla laqala ukuba khona ngenxa yokubonakala kanye nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla—iNkosi ebuyile uJesu—uKristu wezinsuku zokugcina, futhi ngaphansi kokwahlulela Kwakhe kokulunga kanye nokusola. Ibandla linabo bonke abamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina futhi banqotshwa futhi basindiswa yizwi likaNkulunkulu. Kwasungulwa uNkulunkulu uSomandla mathupha, futhi kuholwa futhi kweluswe Nguye, futhi akekho umuntu owayengakwenza. Leli yiqiniso eliqashelwa yibo bonke abakhethiweyo eBandleni likaNkulunkulu uSomandla. Noma ubani osetshenziswa uNkulunkulu esimweni somuntu unqunyelwe kusengaphambili uNkulunkulu, futhi uye wamiswa futhi wafakazelwa uNkulunkulu, njengoba nje noJesu wakhetha mathupha futhi wamisa abafundi abayishumi nambili. Labo abasetshenziswa uNkulunkulu bahambisana kuphela nomsebenzi Wakhe, futhi abasoze bakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu esikhundleni Sakhe. Ngenxa yokuthi isintu esikhohlakele asikwazi ukukhuluma iqiniso, ingasaphathwa eyokusungula ibandla, ibandla alizange lisungulwe yilabo abasetshenziswa uNkulunkulu, noma abantu abakhethwe uNkulunkulu bakholwe noma balandele bona. Amabandla eNkathi Yomusa awazange amiswe uPawulu nabanye abaphostoli, kodwa abe umphumela womsebenzi weNkosi uJesu futhi asungulwa iNkosi uJesu Ngokwayo. Ngokufanayo, iBandla likaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina alizange lakhiwe umuntu osetshenziswa uNkulunkulu, kodwa umphumela womsebenzi kaNkulunkulu uSomandla. Umuntu osetshenziswa uNkulunkulu uphuzisa, ondle futhi ahole amabandla kuphela, wenza umsebenzi womuntu. Nakuba abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu beholwa, bephuziswa futhi bondliwa umuntu osetshenziswa uNkulunkulu, bakholelwa futhi ukuthi abalandeli omunye ngaphandle kukaNkulunkulu uSomandla, bamukela futhi balalele izwi Lakhe nomsebenzi Wakhe. Leli yiqiniso elingenakuphikwa. Ngenxa yokubonakala nomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, amakholwa eqiniso eNkosi kuwo wonke amahlelo ezinkolo ekugcineni aseze alizwa iphimbo likaNkulunkulu, sebebonile ukuthi iNkosi uJesu usezile kakade futhi wenza umsebenzi wokwahlulela eqala endlini kaNkulunkulu, futhi bonke baqinisekile ukuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile—futhi ngenxa yalokho, baye bamukela umsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina. Bonke labo abanqotshwe yizwi likaNkulunkulu uSomandla bazothoba egameni Lakhe futhi bonke abantu abakhethiweyo eBandleni likaNkulunkulu uSomandla bathandaza kuNkulunkulu uSomandla, futhi balandela, balalele futhi badumise Yena. Abantu abakhethiweyo eShayina baba ngabokuqala ukuhlangana nomsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokusola, ukwazisa isimo Sakhe sokulunga, nokubona ubukhulu nentukuthelo Yakhe. Ngakho banqotshwe ngokuphelele yizwi likaNkulunkulu base bewa phambi kukaNkulunkulu uSomandla, futhi bazimisele ukulalela nokwamukela ukwahlulela nokujezisa kwezwi likaNkulunkulu. Baphenduke ngokuyiqiniso baguquka, ngakho futhi, bathole insindiso kaNkulunkulu.

Ngokusobala ngenxa yamazwi avezwe uNkulunkulu uSomandla aveza izimfihlakalo zecebo lokuphatha likaNkulunkulu ukuze asindise isintu, abantu abakhethwe uNkulunkulu, ekuvezweni kwamazwi kaNkulunkulu, baqonde ukuthi uNkulunkulu unegama elisha inkathi ngayinye, nokuthi igama Lakhe elisha limelela ukuthi uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha, futhi ngaphezu kwalokho, ukuthi uNkulunkulu uqeda inkathi endala futhi angenise inkathi entsha. Incazelo yokuthatha kukaNkulunkulu igama elisha kuleyo naleyo nkathi ibanzi kakhulu futhi inkulu! Kuyo kuqukethwe ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa igama Lakhe ukuze ashintshe inkathi futhi aveze umsebenzi Wakhe waleyo nkathi, kanye nesimo asikhombisayo kuleyo nkathi. ENkathini Yomthetho, wasebenzisa igama likaJehova ukuze anikeze imithetho neziqondiso nokuhola impilo yesintu emhlabeni. Igama elithi Jehova lalimele isimo sikaNkulunkulu esinobukhosi nolaka, futhi esikwazi ukunika umusa kumuntu nokuqalekisa umuntu. ENkathini Yomusa, wasebenzisa igama likaJesu ukwenza umsebenzi wokuhlenga isintu nokuveza isimo Sakhe somusa nothando. Ekufikeni kweNkathi Yombuso, wasebenzisa igama likaNkulunkulu uSomandla ukuze enze umsebenzi wokwahlulela eqala endlini kaNkulunkulu, ukuhlanza umuntu, ashintshe futhi asindise umuntu, nokuveza isimo Sakhe sokulunga nobukhosi esingakubekezeleli ukona komuntu. Igama likaNkulunkulu elisha akuyona nje into enqunywa ukubizwa umuntu, kodwa liqokwe uNkulunkulu Ngokwakhe ngenxa yesidingo somsebenzi Wakhe. Igama uNkulunkulu azetha lona isigaba ngasinye somsebenzi lisuka eBhayibhelini, futhi igama elizothathwa iNkosi uJesu uma ebuya ezinsukwini zokugcina labikezelwa kudala Encwadini yesAmbulo eBhayibhelini: “Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu Wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu Wami, negama lomuzi kaNkulunkulu Wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu Wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama Lami elisha(IsAmbulo 3:12). “Ngingu-Alfa no-Omega, isiQalo nesiPhetho, kusho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nesazoza, uMninimandla onke(IsAmbulo 1:8). “Ngezwa sengathi izwi lesixuku esikhulu, futhi sengathi izwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi. Haleluya: ngokuba iNkosi uNkulunkulu uSomandla uyabusa(IsAmbulo 19:6). Igama likaNkulunkulu uSomandla eNkathini Yombuso ligcwalisa iziprofetho Zencwadi yesAmbulo. UNkulunkulu ungusomandla, udale futhi ubusa phezu kwazo zonke izinto, ungoWokuqala noWokugcina; ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa igama elithi uNkulunkulu uSomandla ukuveza iqiniso nokwenza umsebenzi wokwahlulela eqala ngendlu kaNkulunkulu. Ngakho abantu babize uNkulunkulu esimweni somuntu uNkulunkulu uSomandla futhi babize uKristu osesimweni somuntu ngoNkulunkulu Ongokoqobo. Futhi iBandla likaNkulunkulu uSomandla lanikwa igama.

Lapho ivangeli lombuso lisakazwa eZwekazini laseShayina, uNkulunkulu wabuyisa kuye wonke umsebenzi kaMoya emhlabeni wonke wawugxilisa kuleli qembu labantu abamukele umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, futhi phakathi kwalabo abanqunyelwe kusengaphambili nabakhethwe uNkulunkulu futhi ngobuqotho balungisa indlela yeqiniso. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele wadluliswa, onke amahlelo alahlekelwa umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi aba wugwadule, eshiya abantu bengenakukhetha kodwa bafune indlela yeqiniso. Lokhu kuye kwagcwalisa ngqo isiprofetho esiseBhayibheli, “Bhekani, izinsuku ziyeza, kwasho iNkosi UNKULUNKULU, engizothumela ngazo indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa, noma ukomela amanzi, kodwa eyokuzwa amazwi kaJehova(u-Amose 8:11). Ngaphansi kwesiqondiso sikaMoya oNgcwele, labo abasemahlelweni ahlukene abaphishekela iqiniso nabakholelwa ngokweqiniso kuNkulunkulu baphunyukile ekuvinjelweni nasezithiyweni zabaphikukristu nasezincekwini ezimbi, futhi ekugcineni baye bezwa futhi baqaphela iphimbo likaNkulunkulu, futhi abaningi baphendukela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Nomaphi lapho kubonakala khona izimo zazo zonke izinkolo ziba yinto eyodwa futhi zonke izizwe zigobhozela kule ntaba. Kulabo abakuwo wonke amahlelo abakholelwa ngempela kuNkulunkulu bebuye ngobuningi, amahlelo amaningi awile futhi asekhona ngegama nje kuphela. Ubani ongahamba ezinyathelweni zomsebenzi kaNkulunkulu? Ubani ongavimba abakhethiweyo bakaNkulunkulu ukuba babuyele kuNkulunkulu? Kube sengathi wonke umphakathi wenkolo uye waqondiswa. Izindimbane zababuyile zibe njengamagagasi anamandla, awekho amandla angama endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu! Nokho, uhulumeni we-CCP ubeqhubeka nokushushisa kwakhe iBandla likaNkulunkulu uSomandla selokhu uNkulunkulu uSomandla abonakala wayeseqala umsebenzi Wakhe. Ubelokhu eshabasheka ezingela uKristu wezinsuku zokugcina nalabo abalandela uNkulunkulu futhi abafakaza ngoNkulunkulu, futhi eshushisa ngonya abakhethiweyo bakaNkulunkulu, efuna ukuqeda umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Uye wabiza imihlangano eminingi ephuthumayo kuzanywa isu lokuthi liqedwa kanjani iBandla likaNkulunkulu uSomandla. Uye wakha futhi wanikeza izincwadi eziyimfihlo futhi wenza nemizamo eminingi eyimishoshaphansi nekhohlakele: kufakwa izixwayiso yonke indawo, kunikezwa izixwayiso zomphakathi, kusetshenziswa omabonakude, umsakazo, amaphephandaba, i-Inthanethi, kanye nezinye izinto zokusakaza ukuze nje kusakazwe amahemuhemu, ukunyundela nokwakhelwa kukho, kuhlaziswa iBandla likaNkulunkulu uSomandla; befundisa ngenkani abantu izimfundiso ezinonya namanga, futhi beqhubeka nokufaka umqondo ongamanga nokufanisa izinto ezingefani; besebenzisa iBandla Eliziqu Zintathu ukuze lengamele futhi lilawule, kuthunyelwa izinhloli ukuze ziphenye obala futhi zibuze ngokuyimfihlo, zisebenzisa amasu okulawula uquqaba, befuna kubhekwe omakhelwane, futhi ekhuthaza abantu ukuba bafake imibiko ngokubathembisa umvuzo omkhulu; beqhubeka nokucinga emizini yabantu ngaphandle kokubonisana nabo, bephanga izindlu zabo futhi beshaqa impahla yabo, bedla izimali zabo ngokubakhokhisa futhi beqongelela ingcebo ngendlela engenabulungiswa; bebopha ngokuyimfihlo abakhethiweyo bakaNkulunkulu, bebabopha futhi bebavalela emakamu okuhlushwa, bevunyiswa ngokuhlushwa, bonakalisa umzimba nengqondo, becwiya abantu bephila futhi beshaya abantu bababulale ngaphandle kokujeziswa; besebenzisa ngisho namaphoyisa ahlomile namasosha ukuze acindezele iBandla likaNkulunkulu uSomandla; nokunye. Uhulumeni we-CCP uye wabopha futhi washushisa amaKristu eBandla likaNkulunkulu uSomandla—abakhethiweyo bakaNkulunkulu, bebenza ukuba bahlupheke babonakale bengabaphangi bempahla yabo nangokoqobo futhi babajezise kanzima emoyeni futhi bahlupheke, baze babangele nabanye ukuba bafe. Izenzo zikahulumeni zibe ezishaqisayo. Njengoba kubonakele, okungenani amaKristu angamashumi ayisithupha nane ashonile ngenxa yokushushiswa kuze kufike kuMeyi 2020. Ngokwesibonelo, u-Xie Yongjiang (owesilisa oneminyaka engama-43 ubudala), umKristu e-Wugou Edolobheni Lasezweni lase-Suixi, Esifundazweni sase-Anhui, waboshwa ngokuyimfihlo amaphoyisa omphakathi ekuseni mhla zingama-30 kuMbasa 1997 futhi wahlukunyezwa kanzima. Ngomhla ziyi-10 kuNhlaba, lapho umndeni wakwa-Xie ubona umzimba wakhe ushiswa, wayemnyama futhi eluhlaza yonke indawo futhi enegazi, futhi wayenamanxeba amabi kakhulu ekhanda lakhe. U-Ye Aizhong (owesilisa oneminyaka engama-42 ubudala), umKristu Wasezweni lase-Shuyang, Esifundazweni sase-Jiangsu, waboshwa amaphoyisa e-CCP ngomhlaka 26 kuNdasa 2012 lapho ethenga izimpahla zeBandla. Ngosuku lwesithathu, washaywa wabulawa. U-Jiang Guizhi, umKristu esiGodini sase-Qinghe Ezweni lase-Pingyu, Esifundazweni sase-Henan (owesifazane oneminyaka engama-46 ubudala, umholi ophezulu weBandla likaNkulunkulu uSomandla ngaleso sikhathi), waboshwa ngokuyimfihlo futhi wavalelwa amaphoyisa e-CCP ngomhlaka-4 kuMasingana 2013 Edolobheni lase-Xinmi, Esifundazweni sase-Henan. Izikhulu zamaphoyisa zenza inkantolo engekho emthethweni futhi zayisebenzisela ukubavumisa izono ngokubahlupha. Ekuseni ngovivi ngomhlaka-12 kuNhlolanja, u-Jiang washona ngenxa yokuhlukunyezwa kanzima amaphoyisa…Ngale kwalokho amashumi ezinkulungwane zamaKristu aboshiwe futhi avalelwa amaphoyisa e-CCP. Abanye bajovwa ngezidakamizwa ngokushesha bangenwa ukuphambana kwengqondo i-schizophrenia; abanye bahlukunyezwa kakhulu kangangokuba bashiywa bengakwazi kwenza lutho; abanye bavalelwa emakamu okuhlushwa, futhi ngemva kokudedelwa, bebeqashwa uhulumeni we-CCP futhi bancishwe inkululeko yabo. Ngokwezibalo ezingaqinisekisiwe, eminyakeni emibili emifushane kusukela ku-2011 kuya ku-2013, bayi-380,380 abakhethiweyo bakaNkulunkulu abaye baboshwa nababanjwe uhulumeni we-CCP eZwekazini laseShayina. Phakathi kwalaba bantu, bayi-43,640 baye babhekana nazo zonke izinhlobo zokuhlushwa kuyilapho bengaphansi kokuphenywa okungekho emthethweni; abayi-111,740 bebekwa amacala ahlukahlukene futhi bahlawuliswa ngokungacatshangelwa noma baphangwe ngaphezu kwe-243,613,000 RMB; abayi-35,330 baphangwe imizi yabo, futhi okungenani i-1,000,000,000 RMB (ehlanganisa neminikelo yebandla nempahla yabo) kwashaqwa ngenkani nangaphandle kwesizathu kuthathwa omantshingelane bomphakathi nabangaphansi noma becashise izikhulu zamaphoyisa. Uma kuziwa ekubopheni nasekushushiseni kukahulumeni we-CCP amaKristu eBandla likaNkulunkulu uSomandla, lokhu kumane nje kuyizibalo ezingaqinisekisiwe, futhi uma kuziwa kuwo wonke amaKristu eBandla likaNkulunkulu uSomandla, kumane nje kungokuncane kakhulu. Eqinisweni, kusukela uNkulunkulu uSomandla aqala umsebenzi Wakhe, amaKristu angenakubalwa eBandla likaNkulunkulu uSomandla aye aboshwa, bashushiswa, bangahlonishwa, noma baqashwa uhulumeni we-CCP. Kwasetshenziswa noma yiziphi izenzo zonya ukuze kucindezelwe ngobudlova iBandla likaNkulunkulu uSomandla, beguqula iZwekazi laseShayina laba umhlaba othusayo. Ngaphezu kwalokho, ibandla lalinyundelwa, lilahlwa futhi lihlaselwa yiwo wonke amahlelo. Lokhu kwenza ngokushesha kwaba namahlebezi asakazwayo nokunyundelwa kwanoma yiluphi uhlobo, ukuhlukunyezwa neziqalekiso. Umphakathi wonke nomphakathi wezenkolo ubugcwaliswe ngazo zonke izinhlobo zokuphikiswa obala. Abantu abonakalisiwe abangenandaba noNkulunkulu weqiniso nokushushiswa kwendlela yeqiniso kufinyelele eqophelweni eliphezulu.

Selokhu abantu bonakaliswa uSathane, uNkulunkulu akakaze ayeke icebo Lakhe lokwengamela usindiso lwesintu. Noma kunjalo, isintu asilazi iqiniso, ingasaphathwa eyokwazi uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, noma nini lapho uNkulunkulu esesimweni somuntu ukuze aqale umsebenzi omusha, uyenqatshwa futhi ashushiswe yilabo abasemandleni nangamaqembu ezenkolo. Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezidlule, lapho uJesu eba yinyama, washushiswa futhi waboshwa uhulumeni wamaRoma nokholo lwamaJuda, futhi ekugcineni wabethelwa. Ezinsukwini zokugcina, njengoba uNkulunkulu ebuyele enyameni eShayina ukuze enze umsebenzi wokwahlulela, uye washushiswa ngonya futhi wazingelwa uhulumeni we-CCP, futhi waqalekiswa, wavinjelwa, walahlwa futhi wenqatshwa yiwo wonke amahlelo obuKristu. Kusobala ukonakala nonya lomuntu. Singagcina ngokucabanga nje ukuthi kunzima kangakanani kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe kulamadimoni amaningi kangaka, lapho amafu amnyama enesisindo kangaka nodeveli ephakamise amandla. Noma kunjalo, uNkulunkulu unguSomandla, futhi unegunya eliphakeme kakhulu namandla. Kungakhathaliseki ukuthi uSathane unamandla angakanani, kungakhathaliseki ukuthi awanqobeki futhi uhlasela kanjani, konke kuphelela ezeni. Eminyakeni ecishe ibe ngama-20, ivangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla lisakazeka kulo lonke iZwekazi laseShayina nangaphansi kokucindezelwa okunzima. Amakhulu ezinkulungwane zamabandla aye ahluma kulo lonke izwe futhi izigidi zabantu baye bazithoba egameni likaNkulunkulu uSomandla. Cishe ngokushesha, onke amahlelo abe yincithakalo, ngoba izimvu zikaNkulunkulu zilizwile iphimbo likaNkulunkulu, futhi kakade zibuyile zilandela iphimbo, zikhothame phambi kukaNkulunkulu, futhi baye baniselwa futhi beluswa uNkulunkulu. Lokhu kuye kwagcwalisa isiprofetho seBhayibheli ukuthi “zonke izizwe zizogelezela khona(UIsaya2:2). Akunakugwemeka ukuthi wonke amakholwa eqiniso kuNkulunkulu azophendukela kuNkulunkulu uSomandla ekugcineni, ngoba kwahlelwa futhi kwabikezelwa uNkulunkulu phambilini. Akekho ongakushintsha lokho! Labo abakholwa ngamanga abakholwa kuNkulunkulu kuphela ukuze badle izinkwa basuthe, nabo bonke labo bantu ababi, abangabaphikukristu, nabelusi bamanga abenza ububi, benqaba futhi balahle uNkulunkulu uSomandla, bonke bembuliwe futhi basuswa umsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umphakathi wenkolo uye waqedwa ngokuphelele futhi wahlakazwa umsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ekugcineni uphethe ngenkazimulo. Phakathi nale nkathi, naphezu kokumelana okunzima nokucindezela okunobudlova kukahulumeni we-CCP, ivangeli likaNkulunkulu lombuso liye lasakazwa ngokuphazima kweso. Indaba ye-CCP yokususa nokuchitha umsebenzi kaNkulunkulu igcine ihlulekile. Wonke amandla obubi aphikisana noNkulunkulu aqedwe ngokuphelele futhi aketulwa amandla ababazekayo futhi yintukuthelo yokusola. Njengoba uNkulunkulu uSomandla esho, “Bonke labo engibathandayo impela bazophila ingunaphakade, bese bonke labo abamelana nami bazosolwa Yimi impela kuze kube phakade. Ngoba nginguNkulunkulu onomhawu, ngeke ngibayeke kalula abantu ngakho konke abakwenzile. Ngizowuqapha wonke umhlaba, futhi, ngiqhamuka eMpumalanga yomhlaba nokulunga, ubukhosi, ulaka nokusola, ngizozibonakalisa ezihlweleni zabantu!(“Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Umbuso wami uyakheka phezu kwamazulu nomhlaba wonke, kanti isihlalo Sami sobukhosi sizuza izinhliziyo zezigidigidi zabantu. Ngokusizwa izingelosi, umsebenzi Wami omkhulu masinyane uzofezeka ngempumelelo. Zonke izixuku zamadodana nabantu Bami, zilinde ngentshisekelo ukubuya Kwami, bezindla ngokuhlangana Kwami nabo, singazophinde sehlukane futhi. Kwenzeka kanjani ukuthi isizwe sonke sombuso Wami singagxumagxumi ngenjabulo ndawonye ngokuba nabo Kwami? Ngabe lokhu ukuhlangana okuyize? Ngiyahlonipheka emehlweni abo bonke, ngimenyezwa emazwini abo bonke. Uma ngibuya, ngaphezu kwalokho, ngizonqoba wonke amabutho esitha. Sifikile isikhathi! Ngifuna ukuqala umsebenzi Wami, Ngifuna ukubusa ngaphezulu kwabantu! Ngiyabuya! Ngiyahamba! Yilokho okulindwe ngabantu bonke, lokho abafisa kwenzeke. Ngiyokwenza ukuthi sonke isintu sibone ukufika kosuku Lwami, bese samukela ngenjabulo ukufika kosuku Lwami!(“Isahluko 17” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Njengoba ivangeli lombuso lisakazeka, iBandla likaNkulunkulu uSomandla liye lakhula, futhi inani lamakholwa landa ngaphandle kokuma. Namuhla, selikhula kakhulu kunakuqala. Izwi elizwakaliswe uNkulunkulu uSomandla—uKristu wezinsuku zokugcina—liye lasakazeka ezinkulungwaneni zezakhamuzi, futhi liye lamukelwa abantu abengeziwe. Izwi likaNkulunkulu libonakalise igunya lakho eliphezulu namandla. Lamaqiniso angenakuphikwa afakazela ngokugcwele ukuthi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu!

Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu(Johane 1:1). Ekuqaleni, uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba nakho konke ngezwi, futhi wahola isintu ngezwi. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu naye ufeza yonke into ngezwi. Ukuhlanzwa nokupheleliswa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nokunaka umbuso kaKristu kokubili kuzokwenzeka ngezwi likaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, ayikho into ehlukile ngokuthi iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa umsebenzi kaNkulunkulu wezwi, liye lathuthuka ngaphansi kokuqondisa kwezwi likaNkulunkulu uSomandla, futhi ngaphezu kwalokho, liyakhula naphezu kokucindezelwa ngesihluku nokushushiswa uhulumeni we-CCP nokugxeka kokulahla nokuphikisa kwamandla eqembu labaphikukristu benkolo. Lokhu kubonisa ngokusobala igunya namandla ezwi likaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi, ngaphandle kokubonakala nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, belingeke libe khona iBandla likaNkulunkulu uSomandla, futhi ngaphandle kwamazwi abonakaliswe uNkulunkulu, ngakho nalo iBandla likaNkulunkulu uSomandla ngabe alikho. Namuhla, uyanisela futhi wondla abakhethiweyo Bakhe ngamazwi awakhulumayo, futhi bonke labo abaye bamukela umsebenzi Wakhe bajabulela ukweluswa amazwi Akhe futhi babona indlela Yakhe yokusindisa abantu. UNkulunkulu uSomandla uthi, “Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa onke amazwe namahlelo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami, kube sengathi kusanda kuzalwa umntwana. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi sengehlele ‘eNtabeni yemiNqumo’ yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, hhayi njengeNdodana yamaJuda kodwa njengoMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu kungukuphelela kwentando Yami; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangethembe, bonke abantu babe ngaphansi Kwami!(“Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa–Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu bamukele insindiso enkulu ngenxa yezwi likaNkulunkulu uSomandla. Umsebenzi kaNkulunkulu eZwekanzini laseShayina ugcine ukhazimula. Manje abakhethiweyo bakaNkulunkulu basakaza izwi Lakhe futhi bafakaza ngezenzo Zakhe kuwo wonke amazwe nezindawo. Izwi likaNkulunkulu lizosakazwa emhlabeni wonke, futhi maduze uzobonakala kuzo zonke izizwe nakubo bonke abantu. Abantu bakuwo wonke amazwe nezindawo abafisa ukubonakala kukaNkulunkulu abakaze baphuphe ukuthi uNkulunkulu ababefisa kangaka ukumbona obala vele usehlele eMpumalanga yomhlaba—eShayina— wayesenza isigaba somsebenzi sokunqoba nokusindisa.

Ezinsukwini zokugcina, lapho sekuzophela inkathi, uNkulunkulu wehla ngokuyimfihlo esesimweni somuntu endaweni yokuhlala kadrako omkhulu obomvu, eShayina, ebuswa ngababusi abangomashiqela: eyinqaba eqinile yokungakholelwa kuNkulunkulu. Ngokuhlakanipha Kwakhe kokulawula namandla, uNkulunkulu ulwa noSathane futhi uqhubeka nomsebenzi Wakhe oyinhloko wecebo lokwengamela—ukunqotshwa ngokuphelele kukaSathane nensindiso yaso sonke isintu. Manje ngenxa yezinye izinsolo ezimbi, ukulahlwa, ubumbelo, nokunyundela kweqembu elibusayo eShayina, abaningi abangawazi amaqiniso bakholelwa amahemuhemu e-CCP. Amaqembu ezenkolo, ngokukhethekile, ayaqhubeka nokulahla nokuhlambalaza ukuza kukaNkulunkulu kuze kube manje, futhi ama ngokuphelele ohlangothini likahulumeni we-CCP ongakholelwa kuNkulunkulu ophikisana nomsebenzi kaNkulunkulu. Yeka ukuthi kudabukisa kanjani lokho! Laba bantu abalindele ukuthi uNkulunkulu uSomandla, abamphikisayo, iNkosi uJesu obuyile. Lapho uNkulunkulu ebonakala obala, bazokhala kuyilapho beququda amazinyo futhi bezishaya izifuba. Lokhu kugcwalisa ngokuphelele isiprofetho seNcwadi yesAmbulo, “Bhekani, uyeza ngamafu, futhi onke amehlo azokumbona, nalabo abamgwaza: nezizwe zonke zomhlaba zizokhala ngenxa Yakhe. Noma kunjalo, Amen(IsAmbulo 1:7). Ukwahlulela esihlalweni esikhulu sobukhosi esimhlophe ezinsukwini zokugcina kade kwaqala. Izinhlekelele ziya ngokuya ziba nkulu manje, izifo zihlasela umhlaba, indlala, izikhukhula, izikhonyane kanye nezinye izinhlekelele zilokhu zenzeke njalo. Izinhlekelele ezinkulu zizosifica maduze, futhi uNkulunkulu uzosola udrako omkhulu obomvu nawo wonke amandla obubi amphikisayo. UNkulunkulu uSomandla uthi, “Embusweni, izinto eziningi ezidaliwe ziqala ukuphinde zisebenze futhi ziphinde zithole amandla azo okuphila. Ngenxa yokuguquka kwezimo zomhlaba, imingcele phakathi kwamazwe nayo iqala ukuguquka. Ngangiphrofethile ngaphambili: Lapho izwe lihlukanisiwe kwelinye, futhi izwe lihlangana nelinye, leso kuyoba yisikhathi sokuba ngiphihlize izizwe zibe yizicucu. Ngalesi sikhathi, ngizovuselela yonke indalo futhi ngihlukanise kabusha imbulunga yonke, ngaleyo ndlela ngenze imbulunga ihleleke, ngenze isimo sayo esidala sibe sisha. Lolu uhlelo Lwami. Le yimisebenzi Yami. Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo(“Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Emlandweni wesintu, siyawabona amandla obubi ephikisana ngendelelo noNkulunkulu futhi ephikelela ekwenqabeni uNkulunkulu ebhujiswa uNkulunkulu. Eminyakeni eyizinkulungwane ezine ezedlule, ngenxa yezono zabo ezibanga usizi, imizi yaseSodoma neGomora yashiswa ngomlilo nesibabule uNkulunkulu awuthumela esezulwini. Nombuso wamaRoma nawo wabhujiswa yizinhlekelele ezivela kuNkulunkulu ngenxa yokwenqaba nokulahla iNkosi uJesu nokushushisa kwawo amaKristu. Ziningi ezinye izibonelo. Ezinsukwini zokugcina, noma yimaphi amandla obubi alahla futhi aphikisane noNkulunkulu azoqalekiswa uNkulunkulu futhi ngokuqinisekile azobhujiswa Nguye. Lokhu ngokusobala isimo sikaNkulunkulu sokulunga!

UNkulunkulu uSomandla uthi, “Umbuso uyakhula phakathi kwabantu, uyasunguleka phakathi kwabantu, uyasukuma phakathi kwabantu; awekho amandla angabulala umbuso Wami. … Nakanjani, ngokuqondiswa ukukhanya Kwami, uzogqashula emandleni obumnyama. Phakathi kobumnyama angeke ulahlekelwe ukukhanya okukuqondisayo. Uzobusa phezu kwazo zonke izidalwa. Nakanjani uzonqoba phambi kukaSathane. Nakanjani, ekuweni kombuso kadrako omkhulu obomvu, uzoma phakathi kwezinkumbi zabantu ube ngufakazi wokunqoba Kwami. Nakanjani uzoqina ungantengantengi ezweni laseSinim. Ngokuhlupheka odlule kukho, uzothola ifa lezibusiso ezivela Kimi, futhi ngokuqinisekile uzosabalalisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke(“Isahluko 19” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Uma izigaba ezintathu zomsebenzi zifika ekupheleni, kuyokwenziwa iqembu lalabo abafakazela uNkulunkulu, iqembu lalabo abamaziyo uNkulunkulu. Bonke laba bantu bayomazi uNkulunkulu futhi bayokwazi ukwenza iqiniso. Bayoba nobuntu nomqondo, futhi bonke bayozazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso. Lona umsebenzi oyogcwaliseka ekugcineni, futhi la bantu bangukucaciswa komsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, futhi bangubufakazi obunamandla bokuhlulwa kukaSathane ekugcineni. Labo abangafakazela uNkulunkulu bayokwazi ukuthola isithembiso nesibusiso sikaNkulunkulu, futhi bayoba iqembu eliyosala ekugcineni ngci, elinegunya likaNkulunkulu futhi lifakazela uNkulunkulu. Mhlawumbe abalapha phakathi kwenu bonke bayoba amalunga aleli qembu noma mhlawumbe uhhafu kuphela, noma abambalwa kuphela—kuncike entandweni yenu nokushisekela kwenu(“Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Izwi likaNkulunkulu kumele lifezwe, futhi nalelo elifeziwe kumele lihlale phakade. Ikusasa lombuso liqhakazile futhi lihle kakhulu! UNkulunkulu uSomandla kakade wenze iqembu labanqobi eZwekazini laseShayina. Manje, umsebenzi wokuhambela owenziwa uNkulunkulu phakathi nokubonakala Kwakhe eShayina ugcina ngenkazimulo, futhi maduze Uzobonakala ngokusobala kuzo zonke izizwe nezindawo. Abantu abakhethiwe beBandla likaNkulunkulu uSomandla bayiqembu labanqobi uNkulunkulu alenze eShayina. Benza umsebenzi ongcwele, bafakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu futhi bamemezela igama likaNkulunkulu elingcwele kuzo zonke izizwe nezindawo. Ivangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla lisakazeka ngokushesha kuwo wonke umhlaba. Izwi Elivela Lisenyameni litholakala mahhala kuyi-inthanethi kuzo zonke izizwe nezindawo ukufuna nokuphenya. Akekho ongalokotha enqabe ukuthi angamazwi kaNkulunkulu, futhi akekho ongenqaba ukuthi ayiqiniso. Abantu abaningi abomele iqiniso futhi nalabo abafuna ukukhanya bayafuna futhi baphenya umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina. IBandla LikaNkulunkulu uSomandla liye lasungulwa emazweni nasezifundeni kuwo wonke umhlaba njengoba abantu abaningi bephendukela kuNkulunkulu uSomandla. Isintu sivuka kancane kancane sivuswa izwi likaNkulunkulu, futhi siqale ukwamukela nokwazi iqiniso. Izwi likaNkulunkulu lizohola sonke isintu futhi lifeze zonke izinto. Bonke abantu abakholwa ngeqiniso kuNkulunkulu nabafuna indlela yeqiniso ngokuqinisekile bazobuyela kuNkulunkulu futhi bamlalele esesihlalweni Sakhe, futhi sonke isintu sizokwazi ukuthi uNkulunkulu ufikile, futhi ubonakele, nokuthi igama Lakhe ngokuqinisekile lizoba likhulu kuso sonke isintu.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe

Njengamakhulu ezigidi zabanye abalandeli beNkosi uJesu Kristu, siyayemukela imithetho nemiyalo yeBhayibheli, sijabulela inala yomusa weNkosi uJesu Kristu, bese sihlangana ndawonye, sithandaze, sidumise, futhi sikhonze egameni leNkosi uJesu Kristu—konke lokhu sikwenza ngaphansi kwesivikelo seNkosi. Kaningi siba buthaka, futhi kaningi siba namandla. Sikholelwa ukuthi zonke izenzo zethu zivumelana nezimfundiso zeNkosi. Ngakho akuthandabuzwa ukuthi sikholelwa nawukuthi singahamba endleleni yokulalela intando kaBaba osezulwini. Silangazelela ukubuya kweNkosi uJesu, ukufika ngenkazimulo kweNkosi uJesu, ukuphela kokuphila kwethu emhlabeni, ukubonakala kombuso, nazo zonke izinto ezibikezelwe eNcwadini yesAmbulo: INkosi iyafika, ilethe inhlekelele, inike abalungile umklomelo futhi ijezise ababi, futhi ithathe bonke abayemukelayo, yamukele nokubuya kwabo emoyeni ukuze bahlangane Nayo. Ngaso sonke isikhathi lapho sicabanga ngalokhu, asikwazi ukunganqotshwa imizwa. Siyabonga ngokuthi sazalwa ezinsukwini zokugcina futhi sinenhlanhla enkulu ngokubona ukuza kweNkosi. Nakuba siye sashushiswa, kungenxa “eysilinganiso esikhulu kakhulu inkazimulo yaphakade”; yeka isibusiso lokho okuyiso! Konke lokhu kulangazela nomusa esiwunikwe iNkosi kusenza sihlale sifuna ukukhuleka, futhi kusisondeza kaningi ndawonye. Mhlawumbe ngonyaka ozayo, mhlawumbe kusasa, noma mhlawumbe maduze lapho umuntu engakulindele, iNkosi iyofika kungazelelwe, futhi iyobonakala eqenjini labantu ebelilokhu liyilindile.

Ukusatshalaliswa Kwevangeli Lombuso KaNkulunkulu USomandla EChina

Ngowe-1995, kwaqala umsebenzi wokufakaza ngevangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla ngokugcwele eMainland eChina. Ngokubonga kwethu uNkulunkulu kanye nothando olwalungolweqiniso, safakaza ngokuzibonakalisa kanye nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla kubafowethu nodadewethu emabandleni nasemagatsheni ahlukahlukene. Sasingalindele ukubhekana nokungamukelwa okukhulu kanye nokudelelwa abaholi babo. Esasikwazi ukukwenza nje kwakuwukuza phambi kukaNkulunkulu uSomandla ngokukhuleka ngokuzinikela, sinxusa uNkulunkulu ukuthi asebenze kumuntu. Kusukela ngowe-1997 kuya phambili, senza umsebenzi kaMoya Oyingcwele kakhulu. Amalungu amabandla anda kakhulu ngokushesha ezindaweni ezinhlobonhlobo. Ngaso leso sikhathi, kwenzeka izimpawu nezimangaliso eziningi, futhi abantu abaningi basemabandleni nasemagatsheni amaningi babuyela kuNkulunkulu uSomandla ngenxa yokwamukela izambulo zikaNkulunkulu noma ukubona lezi zimpawu nezimangaliso. Ukuba uMoya Oyingcwele wawungasebenzanga, yini eyayingenziwa umuntu? Lokhu kwenza sibone ukuthi: yize siwaqonda amaqiniso, besingeke sikwazi ukufakaza ngoNkulunkulu uSomandla ngamandla ethu njengabantu kuphela. Emuva kokuba laba bantu basemabandleni nasemagatsheni anhlobonhlobo sebemamukele uNkulunkulu uSomandla, bavele babe nokuqinisekiseka ngoNkulunkulu uSomandla ezinhliziyweni zabo ngokudla nokuphuza kanye nokuthokozela izwi likaNkulunkulu uSomandla, futhi emuva kwesikhathi, kwavela ukukholwa nokuhlonipha kweqiniso kubo. Abantu basemabandleni nasemagatsheni ahlukene babe sebephakanyiselwa esihlalweni sobukhosi, futhi kwakungasalindelekile ukuthi "bahlangane neNkosi esibhakabhakeni" njengoba babecabangile.

Sithinte nge-Whatsapp