Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)

Imvelo yomuntu yehluke ngokuphelele engqikithini Yami, ngokuba imvelo yomuntu ekhohlakele yonke ivela kuSathane; imvelo yomuntu isetshenzwe yabuyei yakhohlakaliswa uSathane. Okuwukuthi, umuntu uphila ngaphansi kwethonya elibi kanye nobubi bukaSathane. Umuntu akakhuleli ezweni leqiniso noma endaweni engcwele, futhi kuncane ukuphila komuntu ekukhanyeni. Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuba noma ngubani abe neqiniso emvelweni yakhe kusuka ezalwa, futhi mancane ngokwengeziwe amathuba okuba azalwe enengqikithi eyesaba futhi elalela uNkulunkulu. Kunalokho, abantu banemvelo emelana noNkulunkulu, engalaleli uNkulunkulu, futhi engalithandi iqiniso. Le mvelo iyinkinga engifuna ukukhuluma ngayo—ukukhaphela. Ukukhaphela kuwumthombo wokumelana noNkulunkulu komuntu ngamunye. Le yinkinga ekhona kumuntu kuphela, futhi hhayi Kimi. Abanye bazobuza: Njengoba bonke abantu bephila ezweni njengoKristu, kungani bonke abantu benemvelo ekhaphela uNkulunkulu, kodwa uKristu engenayo? Le yinkinga okufanele nichazelwe yona ngokucacile.

Isisekelo sokuphila kwesintu siwukuphila kabusha komphefumulo okuphindekayo. Ngamanye amazwi, umuntu ngamunye uthola ukuphila komuntu enyameni lapho kuzalwa umphefumulo wakhe kabusha. Ngemva kokuzalwa komzimba womuntu, ukuphila kwawo kuyaqhubeka kuze kufinyelele lapho inyama ifika emkhawulweni wayo, okuwumzuzu wokugcina, lapho umphefumulo ushiya khona indlu yawo. Le nqubo iyaphindeka kaninginingi, ngalokho ukuba khona kwesintu kuyagcineka. Impilo yenyama futhi iyimpilo yomphefumulo womuntu, futhi umphefumulo womuntu usekela ukuba khona kwenyama yomuntu. Okungukuthi, ukuphila komuntu ngamunye kuvela emphefumlweni wakhe, futhi impilo ayibophezelekile ngokwemvelo enyameni. Ngakho, imvelo yomuntu ivela emphefumulweni, hhayi enyameni. Ngumphefumulo womuntu ngamunye kuphela owazi ukulinga, ukuhlupha, nokukhohlakalisa kukaSathane. Inyama yomuntu ngeke izazi lezi zinto. Ngakho, isintu ngokungaqondile siba mnyama, siba nokungcola, nobubi ngokwengeziwe, ngesikhathi igebe phakathi komuntu Nami liya ngokuya likhula, nempilo iya ngokunya iba mnyama esintwini. USathane uphatha imiphefumulo yesintu ezandleni zakhe, ngakho, ngokusobala, nomzimba womuntu ungenwe uSathane. Kungenzeka kanjani ukuthi inyama enjalo kanye nesintu esinjalo singamelani noNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi bahambisane ngokwemvelo Naye? Isizathu esenza ukuthi ngiphonse uSathane emoyeni wukuthi wangikhaphela. Ngakho-ke abantu bangasinda kanjani ekuzibandakanyeni kukho? Yilesi isizathu esenza ukukhaphela kube yimvelo yomuntu. Ngethemba ukuthi uma seniqonda lokhu kucabanga, kufanele futhi nikholwe yingqikithi kaKristu. Inyama eyembethwe uMoya kaNkulunkulu yinyama kaNkulunkulu uqobo. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unamandla onke, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, inyama Yakhe nayo iphakeme, inamandla onke, ingcwele, futhi ilungile. Inyama enjalo ingenza kuphela lokho okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla; akakwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma emelene nobuqotho nobulungiswa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela inyama Yakhe ayikhohlakaliswa nguSathane; inyama Yakhe inengqikithi eyehlukile enyameni yomuntu. Ngoba ngumuntu, hhayi uNkulunkulu, okhohlakaliswa nguSathane; uSathane ngeke akwazi ukukhohlakalisa inyama kaNkulunkulu. Ngakho, nakuba umuntu noKristu bahlala endaweni efanayo, ngumuntu kuphela ongenwa, asetshenziswe, futhi abanjwe uSathane. Ngokwehlukile, uKristu akangenwa naphakade ukukhohlakala kukaSathane, ngoba uSathane ngeke aze akwazi ukukhuphukela endaweni ephezu kwakho konke, futhi ngeke aze akwazi ukusondela kuNkulunkulu. Namuhla, kufanele nonke niqonde ukuthi yisintu kuphela, esikhohlakaliswe nguSathane, esingikhaphelayo. Ukukhaphela akusoze kwaba yinkinga ebandakanya uKristu nakancane.

Yonke imiphefumulo ekhohlakaliswe uSathane iyizigqila embusweni kaSathane. Yilabo abakholwa kuKristu kuphela abehlukaniswe, basindiswa enkambini kaSathane, base belethwa embusweni wanamuhla. Laba bantu abasaphili ngaphansi kwethonya likaSathane. Noma kunjalo, imvelo yomuntu isagxile enyameni yomuntu, okungukuthi ngisho noma imiphefumulo yenu isindisiwe, imvelo yenu isafana nakuqala, nethuba lokuthi nizongikhaphela lisekhona ngokugcwele. Kungakho umsebenzi Wami uqhubeka isikhathi eside, ngoba imvelo yenu inenkani. Manje nonke nihlupheka kakhulu ngenkathi nenza ngakho konke ukuze nifeze imisebenzi yenu, kodwa nonke ngamunye ningakwazi ukungikhaphela bese nibuyela embusweni kaSathane, enkambini yakhe, futhi niphindele ekuphileni kwenu okudala—lokhu kuyiqiniso elingephikwe. Ngaleso sikhathi, ngeke kwenzeke ukuba niveze noluncane uphawu lobuntu noma inswebu yobuntu njengoba nenza manje. Ezimweni ezibucayi, nizobhujiswa, futhi, ngaphezu kwalokho, nibhubhe kuze kube phakade, nijeziswe kanzima, ningaphinde nizalwe kabusha. Lena yinkinga ebekwe phambi kwenu. Nginikhumbuza ngale ndlela ukuze, okokuqala, umsebenzi Wami ungabi yize, futhi okwesibili, ukuze nonke niphile ezinsukwini zokukhanya. Eqinisweni, ukuthi umsebenzi Wami uyize akuyona inkinga enkulu. Okubalulekile ukuthi nikwazi ukuba nokuphila okujabulisayo nekusasa elimangalisayo. Umsebenzi Wami ngumsebenzi wokusindisa imiphefumulo yabantu. Uma umphefumulo wakho uwela ezandleni zikaSathane, khona-ke umzimba wakho ngeke ube nokuthula. Uma ngivikela umzimba wakho, khona-ke umphefumulo wakho, ngokuqinisekile, uzoba ngaphansi kokunakekelwa Yimi. Uma ngikwenyanya ngempela, khona-ke umzimba kanye nomphefumulo wakho kuzowela ezandleni zikaSathane masinyane. Ungacabanga ukuthi isimo sakho siyoba njani ngaleso sikhathi? Uma amazwi Ami elahleka kini ngolunye usuku, khona-ke ngizoninikela kuSathane ozonihlupha kabuhlungu kuze kuphele intukuthelo Yami ngokuphelele, noma nginijezise mina uqobo, nina bantu abangahlengeki, ngoba izinhliziyo zenu ezingikhaphelayo azisoze zaguquka.

Manje kufanele nonke nizihlole ngokushesha okukhulu, ukuze nibone ukuthi kungakanani ukungikhaphela enisenakho ngaphakathi kini. Ngiyilindele ngokungenaso isineke impendulo yenu. Ningenzi ngokunganaki uma nibhekene Nami. Angidlali ngabantu. Uma ngithi ngizokwenza into, khona-ke ngizoyenza nakanjani. Ngethemba ukuthi nonke nizowathatha njengabalulekile amazwi Ami, futhi ningacabangi ukuthi ayizindaba eziqanjiwe zesayensi. Engikufunayo kini yizenzo eziphathekayo, hhayi enikucabangayo. Okulandelayo, kufanele niphendule imibuzo Yami, ehamba kanje: 1. Uma ngempela ungumenzi womsebenzi, ingabe ungangisebenzela ngokwethembeka, ngaphandle kwanoma yikuphi ukugcina icala noma umbono ongemuhle? 2. Uma uthola ukuthi angikaze ngikwazise, ingabe uyoqhubeka uhlale futhi ungisebenzele ukuphila kwakho konke? 3. Uma ngilokhu ngibanda kuwe phezu kokuthi uzikhandle kakhulu, uzokwazi yini ukuqhubeka ungisebenzele ekufihlakaleni? 4. Uma, ngemva kokuthi uchithe izinto ezithile ngenxa Yami, ngingazenelisi izimfuno zakho ezincane, ingabe uzophela amandla futhi udumale Ngami noma uze uthukuthele futhi ungithuke? 5. Uma kade ulokhu wethembeke kakhulu, ungithanda kakhulu, kodwa uhlushwa ukugula, ubumpofu, kanye nokushiywa abangani nezihlobo zakho, noma uma ubekezelela noma yimaphi amanye amashwa ekuphileni, ingabe ukwethembeka kwakho nokungithanda kwakho kusazoqhubeka? 6. Uma kungekho nokukodwa oke wakucabanga enhliziyweni yakho okufana nalokho engikwenzile, khona-ke uzoyihamba kanjani indlela yakho yesikhathi ezayo? 7. Uma ungatholi lutho obulindele ukuthi uzoluthola, ingabe uzoqhubeka ube umlandeli Wami? 8. Uma ungakaze uyiqonde inhloso nokubaluleka komsebenzi Wami, ungaba umuntu olalelayo ongahluleli futhi enze iziphetho ngokungacabangi? 9. Ungawazisa yini wonke amazwi engiwashilo nawo wonke umsebenzi engiwenzile ngesikhathi ngikanye nesintu? 10. Uyakwazi yini ukuba ngumlandeli Wami othembekile, ozimisele ukungihluphekela ukuphila kwakhe konke noma ungatholi lutho? 11. Ingabe uzokwazi ukungacabangi, ukungahleli, noma ukungazilungiseleli indlela yakho yokuphila esikhathini esizayo ngenxa Yami? Le mibuzo imele izimfuno Zami zokugcina kini, futhi ngethemba ukuthi nonke nizongiphendula. Uma ufeza okukodwa noma okubili ezintweni ezikule mibuzo, khona-ke kusadingeka uqhubeke nokusebenza kanzima. Uma ungeke ufeze nokukodwa kulezi zimfuno, khona-ke ngempela uwuhlobo lomuntu oluzophonswa esihogweni. Angidingi ukusho okwengeziwe kubantu abanjalo, ngenxa yokuthi empeleni abayibo abantu abangavumelana Nami. Ngingamgcina kanjani ekhaya Lami umuntu ongangikhaphela kunoma yisiphi isimo? Kulabo abasengangikhaphela ezimweni eziningi, ngizobheka ukwenza kwabo ngaphambi kokuthi ngenze amanye amalungiselelo. Nokho, bonke abangangikhaphela, kungakhathaleki ukuthi kungaphansi kwaziphi izimo, ngeke ngibakhohlwe; ngizobakhumbula enhliziyweni Yami, ngilindele ithuba lokuphindisela ngezenzo zabo ezimbi. Izimfuno engiziphakamisile zonke ziyizinkinga okufanele nizihlole kini. Ngethemba ukuthi nonke nizozicabanga ngokubalulekile futhi ningabhekani Nami sakugcina icala. Esikhathini esingekude esizayo, ngizohlola izimpendulo eninginike zona ngiziqhathanise nezimfuno Zami. Ngaleso sikhathi, ngeke ngidinge okunye kini futhi ngeke ngisaninikeza isiyalo esiqinile. Kunalokho, ngizosebenzisa igunya Lami. Labo okufanele bagcinwe bazogcinwa, labo okufanele bavuzwe bazovuzwa, labo okufanele banikelwe kuSathane bazonikelwa kuSathane, labo okufanele bajeziswe kanzima bazojeziswa kanzima, kanti labo okufanele babhubhe bazobhujiswa. Ngaleyo ndlela, ngeke kusaba khona umuntu ozongiphazamisa ezinsukwini Zami. Ingabe uyawakholwa amazwi Ami? Ingabe uyakholelwa empindiselweni? Ingabe uyakholwa ukuthi ngizojezisa bonke ababi abangikhohlisayo nabangikhaphelayo? Ingabe ulangazelela ukuthi lolo suku lufike ngokushesha noma ukuba lwephuze ukufika? Ingabe ungumuntu owesaba isijeziso, noma umuntu ongamelana Nami ngisho noma kuzodingeka ubhekane nesijeziso? Lapho lolo suku lufika, ingabe uzibona uphila phakathi kokuhalalisa nokuhleka, noma uyokhala futhi ugedle amazinyo? Luhlobo luni lwesiphetho owethemba ukuthi uzoba naso? Ingabe uke wakucabanga ngokujulile ukuthi ukholwa Kimi ngokugcwele noma ungingabaza ngokugcwele? Uke wakucabanga ngokucophelela ukuthi izenzo nokuziphatha kwakho kuyokulethela luhlobo luni lwemithelela nemiphumela? Ingabe wethemba ngempela ukuthi onke amazwi Ami azogcwaliseka ngalinye, noma uyesaba ukuthi amazwi Ami azogcwaliseka ngalinye? Uma wethemba ukuthi ngihamba ngokushesha ukuze ngigcwalise amazwi Ami, kufanele uwaphathe kanjani amazwi kanye nezenzo zakho? Uma ungethembi ukuthi ngizohamba futhi ungethembi ukuthi amazwi Ami onke azogcwaliseka ngokushesha, khona-ke kungani ngempela ukholwa Kimi? Ingabe uyazi ngempela ukuthi ungilandelelani? Uma isizathu sakho siwukwandisa amathuba akho nje, asikho isidingo sokuba uzikhathaze kangaka. Uma kuwukuthi ufuna ukubusiswa nokugwema inhlekelele ezayo, kungani ungakhathazeki ngokuziphatha kwakho? Kungani ungazibuzi ukuthi ungakwazi yini ukwanelisa izimfuno Zami? Kungani ungazibuzi ukuthi ukufanele yini ukuthola izibusiso ezizayo?

Okwedlule: Inkinga Enkulu Kakhulu: Ukukhaphela (1)

Okulandelayo: Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp