736 Ububi Bungagwenywa Kuphela Ngokwesaba UNkulunkulu
Isimo sikaNkulunkulu sinobukhosi nolaka.
Akalona iwundlu lokuhlatshwa yinoma ngubani.
Akayena unopopi, odlalwa yinoma ngubani ngokuthanda.
Akawona umoya, olawulwa ngokuthanda ngabantu.
Uma ngempela ukholelwa ekubeni khona kukaNkulunkulu,
kufanele ube nenhliziyo eyesaba uNkulunkulu.
Kufanele wazi ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu iyinto engacasuleki.
Ukucasuka kungenziwa yizwi noma umcabango,
imfundiso noma umqondo owakhiwe, noma isenzo esithile esibi.
Kungenziwa ukuziphatha okuthile okungatheni okwamukelekayo ngokwesimilo.
Kodwa uma uke wacasula uNkulunkulu, usulahle ithuba lakho lokusindiswa,
futhi izinsuku zakho zokugcina zizofika maduze.
Lokhu kuyinto eyesabekayo ngempela.
Uma ungazi ukuthi uNkulunkulu akanakucasuleka,
ungase ungamesabi, kodwa uyomcasula njalo.
Awukwazi ukwesaba uNkulunkulu uma ungazi ukuthi kwenzeka kanjani,
noma ulandele indlela Yakhe ukuze wesabe uNkulunkulu futhi ugweme ububi.
Uma ufinyelela ekwazini enhliziyweni yakho futhi ubone ukuthi uNkulunkulu akoneki,
khona-ke uyokwazi ukuthi kusho ukuthini ngempela ukwesaba uNkulunkulu nokugwema ububi.
Uma ufinyelela ekwazini enhliziyweni yakho futhi ubone ukuthi uNkulunkulu akoniwa,
khona-ke uyokwazi ukuthi kusho ukuthini ngempela ukwesaba uNkulunkulu nokugwema ububi.
Kufanele wazi ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu
yinto engacasuleki, engenakucasulwa.
Ukucasuka kungenziwa yizwi noma umcabango,
imfundiso noma umqondo owakhiwe, noma isenzo esithile esibi.
Uma ngempela ukholelwa ekubeni khona kukaNkulunkulu,
kufanele ube nenhliziyo eyesaba uNkulunkulu.