74 UNkulunkulu Usindisa Isintu Ngokuphelele Ngokwahlulela Nokusola

UNkulunkulu uze ukuzosebenza emhlabeni ukuze asindise isintu esikhohlakele.

Ukusindisa okwedlule kwase kuqeda uthando nomusa Wakhe,

uzinikela kuSathane endaweni yaso sonke isintu.

Insindiso kaNkulunkulu manje isisekugcineni, yehlukanisa konke ngokohlobo lwakho.

Usindisa isintu ngokuphelele ngokwahlulela nokusola.

Konke eniyokuthola kuyoba ukwahlulela Kwakhe nokusola Kwakhe,

kanye nokushaya Kwakhe okungenaluzwelo.

Kodwa kunento okufanele uyazi:

Akukho nokuncane ukujezisa

kukho konke lokho kushaya okungenaluzwelo, konke lokho kushaya okungenaluzwelo.

Usindisa isintu ngokuphelele ngokwahlulela nokusola.

Konke oyokuthola kuyoba ukwahlulela Kwakhe nokusola Kwakhe.

Akunandaba ukuthi aqine kangakanani amazwi Akhe, akunandaba ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwakhe,

okwehlela wena ngamazwi okufundisa; ukukulimaza akuyona inhloso Yakhe.

UNkulunkulu akafuni ukukubhubhisa; ukwahlulela Kwakhe kokulunga ngokokuhlanza,

kanjalo futhi nokucwenga kwakhe okungenaluzwelo; amazwi anolaka noma ukushaya konke kungokokusindisa.

Indlela kaNkulunkulu yokusindisa isintu ayisfani nakuqala.

Namuhla, ukwahlulela Kwakhe kokulunga kuyinsindiso yakho kuze kube phakade, phakade.

Yini ofuna ukuyisho phambi kwalokhu kwahlulela nokusola?

Ingabe ukusindiswa akukhona olokhu ukuthokozele kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni?

Usindisa isintu ngokuphelele ngokwahlulela nokusola.

Konke oyokuthola kuyoba ukwahlulela Kwakhe nokusola Kwakhe.

Usumbonile uNkulunkulu esenyameni, wezwa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwakhe,

wezwa ukushaya nokuqondisa Kwakhe, kodwa futhi wemukela umusa Wakhe owedlulele.

Izibusiso zakho zinkulu kunazo zonke,

zicebile kunomnotho nobucwazicwazi bukaSolomoni.

Kodwa ngabe izinsuku zakho beziyoba zinde kangaka,

ukuba uNkulunkulu akezanga wazoba uMsindisi wakho, uMsindisi Wakho?

Uma konke uNkulunkulu akufunayo ukukujezisa, kwakungeke kube khona sidingo sokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu.

Ukukujezisa kuthatha izwi nje. Ubungeke uphile kuze kube namuhla.

Awukakukholwa okushiwo nguNkulunkulu?

Usindisa isintu ngokuphelele.

Ukwahlulela Kwakhe okulungile kuyinsindiso yakho, insindiso yakho iphakade, phakade.

Okwedlule: 64 Umqondo Ongaphakathi Womsebenzi Wokunqoba

Okulandelayo: 81 Umsebenzi Wokwahlulela Ezinsukwini Zokugcina Ukuqeda INkathi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp