14 UNkulunkulu Uvele eMpumalanga Yomhlaba Ngenkazimulo

1. UNkulunkulu wenza umsebenzi emhlabeni wonke.

Imisindo yokuduma eMpumalanga ayipheli,

kunyakazisa onke amazwe namahlelo.

Yizwi likaNkulunkulu elilethe konke esikhathini samanje.

Yizwi Lakhe eselinqobe bonke.

Bangena kulo mgudu, futhi bazithoba kuye.

UNkulunkulu kade ayibuyisa inkazimulo emhlabeni,

wase eyikhipha futhi eMpumalanga.

Ubani ongalangazeleli ukubona inkazimulo kaNkulunkulu?

Ngubani ongalindele ukubuya Kwakhe ngokulangazelela?

Ngubani ongomele ukuthi avele futhi?

Ngubani ongakukhumbuli ukuthandeka Kwakhe?

Ngubani ongeke eze ekukhanyeni?

Ngubani ongafisi ukubona umnotho weKhanani?

Ngubani ongalangazeleli ukubuya koMhlengi?

Ngubani ongathandi Lowo onamandla onke?

2. Izwi likaNkulunkulu kufanele lisabalale ezweni lonke.

Kubantu Bakhe abakhethiwe, unamazwi amaningi azowakhuluma.

Njengezulu elinamandla linyakazisa izintaba nemifula,

ukhuluma kuwo wonke umhlaba nakuso sonke isintu.

Yikho amazwi kaNkulunkulu eba umcebo womuntu.

Amazwi Akhe athandwa kakhulu yibo bonke.

Umbani ubaneka ngqo usuka eMpumalanga uya eNtshonalanga.

Amazwi kaNkulunkulu enza abantu bangafuni ukuwadela.

Amazwi kaNkulunkulu awaqondakali kodwa aletha injabulo.

Bonke abantu bayajabula babungaza ukuza kukaNkulunkulu, njengomntwana ozelwe.

Izwi likaNkulunkulu lidonsela abantu phambi Kwakhe.

UNkulunkulu ungena ngokusemthethweni phakathi kwabantu kusuka lapho.

Bonke abantu beza ukuzomkhonza ngenxa yalokhu.

Ngenxa yenkazimulo namazwi uNkulunkulu awakhiphayo,

bonke beza phambi kukaNkulunkulu babone umbani ovela eMpumalanga.

3. UNkulunkulu wehlele “eNtabeni Yeminqumo” eMpumalanga.

Kade aba khona emhlabeni, engaseyona iNdodana yamaJuda.

UnguMbani waseMpumalanga, ngoba uNkulunkulu usevukile.

Ushiye abantu futhi manje useyavela futhi, egcwele inkazimulo Yakhe.

UNkulunkulu Nguye owadunyiswa ngaphambi kwezinkathi,

umntwana owashiywa ama-Israyeli kuleso sigaba.

UnguNkulunkulu uSomandla wenkathi yamanje ogcwele inkazimulo!

Akukho afuna ukukufeza ngaphandle kwalokhu:

Abantu bonke beza phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu,

ukubona ubuso nezenzo Zakhe, ukuzwa iphimbo Lakhe.

Kungukugcina nesicongo sohlelo Lwakhe,

nenhloso yokuphatha kukaNkulunkulu Ngakho zonke izizwe ziyamkhonza futhi ziyamvuma.

Bonke abantu bayamethemba futhi bangaphansi Kwakhe.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 12 UNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe EMpumalanga

Okulandelayo: 15 UNkulunkulu Ubuye Ngokunqoba

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp