Musical Drama "Indaba kaXiaozhen" | Official Trailer

February 14, 2018

UXiaozhen wayehlanzekile, ewumKrestu onenhliziyo enhle, ehlale ephatha kahle abangani bakhe. Nokho, uma sekuyisikhathi sabo sokuzuza, abangani bakhe abadala baphenduka izitha zakhe. Emva kokudlula kulesi sigemegeme, uXiaozhen waphoqeleka ukushiya inhliziyo yakhe yeqiniso nemigomo yakhe yasekuqaleni. Waqala walahla unembeza wakhe omuhle nomoya wakhe omuhle wabhuquza odakeni lomhlaba omubi. … Ngenkathi ewa emseni wahamba endleleni yokonakala, wanyathelwa yizwe wagcwala izibazi nemihuzuko. Wafika kwangqingetshe, esimweni sokudideka, eselahle lonke ithemba, ubizo lweqiniso lukaNkulunkulu uSomandla ekugcineni lwayivusa inhliziyo nomoya kaXiaozhen. …

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Okuqukethwe kule vidiyo kuhunyushwe konke abahumushi abangongcweti. Nokho, ngenxa yokwehlukana ngokolimi njll., inani elincane lokunganembi aligwemeki. Uma uthola noma yikuphi ukunganembi okunjalo, sicela ubheke umbhalo wokuqala wesiShayina, futhi ukhululeke ukusithinta usazise.

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp