Ukwahlulela Kungukukhanya

March 08, 2018

UZhao Xia Esifundazweni saseShandong

Igama lami nginguZhao Xia. Ngazalelwa emndenini ojwayelekile. Ngenxa yezisho ezifana nalezi “Umuntu uzenzela igama nomaphi lapho ehlala khona, njengoba nehansi likhala noma phi lapho lindizakhona,” kanye nesithi “Njengoba isihlahla siphilela isiqu saso, umuntu uphilela isithunzi sakhe,” ngalokhu ukuzenzela igama kwaba iyonanto ebalulekile kimi. Konke engangikwenza ngangifuna ukunconywa abantu. Ngemva kokushada, ngangizibekele imigomo ethi: Ngizoceba kakhulu empilweni kunabanye; kumele ngingavumeli muntu asho izinto ezingakhi ngendlela engiphatha ngayo abantu abadala noma ngendlela yokuziphatha nokwenza; futhi ngizoqinisekisa ukuthi ingane yami ifunda enyuvesi edumile ibe namathuba amahle, ukuze ngaziwe kahle. Ngakho-ke, angikaze ngixabane nabasemzini wami. Kwesinye isikhathi, lapho besho izinto ezihlabayo kimi, ngangiphatheka kabi ngendlela yokuthi ngangicasha bese ngiyakhala kunokuthi ngibadinelwe. Uma ngibona abanye bethengela abazali babo izimpahla ngesikhathi soNyaka Omusha waseShayina nangamaholidi, ngangisuka nami ngiyothengela abasemzini wami, ngibathengele ezisezingeni eliphezulu futhi. Uma izihlobo zizovakasha, ngangilekelela ngokuthenga ngiphinde ngipheke ukudla. Yize kwakunzima noma kukhathaza kodwa ngangithanda ngempela. Ngenxa yokusabela ukuthi angeke ngiphile kahle njengabanye, ngashiya ingane yami yentombazane inenyanga eyodwa izelwe ngabuyela emsebenzini. Ngenxa yalokho, indodakazi yami yaba nekhwashu yazaca yaba amathambo ngoba yayingalunceli ubisi lwebele. Isimo sayo saze saba ngcono ngemva kokuthola imijovo engu-100 enezondlamzimba, lapho mina ngangikhathala kube buhlungu iqolo zonke izinsuku. Yize kwakunzima futhi kukhathaza, ngabekezela ngasebenza kanzima ngoba nje ngifuna ukuzakhela igama elihle. Eminyakeni nje embalwa, ngaba umakoti osematheni emphakathini, nomndeni wami waceba nabantu bafisa ukuba yiwo. Ngenxa yalokho, abasemzini wami, omakhelwane, izihlobo nabangani babengibonga. Lokho kubongwa nokuconywa engangikuthola kulabo abasondelene nami, kwangenza ngaziqhenya kakhulu. Ngezwa ukuthi ubunzima engihlangabezane nabo eminyakeni eyedlule akubanga yize leze, ngajabula kakhulu ngaphakathi. Kodwa-ke, impilo yami enokuthula yaphazanyiswa ukushada kukasibali wami. Unkosikazi wakhe wayehlala ekhuluma nami ngokugigiyela, ethi isizathu esenza ngiphathe kahle umamezala wethu ingoba ngifuna izimpahla zakhe. Ubehlala ethi umamezala wethu uchemile ngoba thina wayesinika izinto eziningi kunalezi ayezinika bona, ngalokhu besilokhu sixabana. Ngaphatheka kabi ngafuna ukuphikisana naye phambi kwabantu ukuze ngiveze ukuthi anginacala, kodwa kwakuzomosha isithombe esengizakhele sona ezinhliziyweni zabantu. Ngakho, bengizibamba, uma ngingasakwazi ukuzibamba ngangikhala ngingedwa esithe. Ngemva kwalokho, umakoti wasemzini waphinde wazama ukungena emhlabeni owawusikelwe umndeni wami, okwangenza ngacasuka kakhulu ngangakwazi ukudla noma ukuphuza izinsuku eziningi. Ngaze ngafuna ukumbamba ngezandla. Kodwa-ke, ngokubona ukuthi lokhu kuzomosha indlela abantu abangibheka ngayo, kulimaze igama engizenzele lona, kwenze abantu engisondelene nabo bangibukele phansi, ngazithulela, kodwa ngaphakathi ngizwa ukuthi ngibuhlungu. Usuku lonke ngangiphatheke kabi, ngizwa sengathi kubuhlungu futhi kuyakhathaza ukuphila nokungazi ukuthi kuzophela nini lokhu empilweni.

Lapho kuphela khona umuntu kulapho kuqala khona uNkulunkulu. Kuthe lapho ngisezinhlungwini ngizizwa ngiphelelwa amandla, uNkulunkulu uSomandla walulela isandla Sakhe sensindiso kimi. Ngelinye ilanga, umakhelwane wami wangibuza ukuthi: “Ingabe uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona?” Ngaphendula ngathi: “Ubani ongakholelwa? Ngiyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.” Wabe esethi uNkulunkulu akholelwa kuye yena unguyena Nkulunkulu oyedwa futhi weqiniso owadala umhlaba nakho konke, nokuthi ekuqaleni, isintu sasihlala esibusisweni sikaNkulunkulu ngoba sasikhonza uNkulunkulu, kodwa ngemva kokukhohliswa uSathane, sayeka ukukhonza uNkulunkulu sase sihlala ngaphansi kwesiqalekiso nasezinhlungwini. UNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina weza ukuzonika abantu iqiniso futhi abasindise emgodini wenhlupheko. Ngaphezu kwalokho, wabe esekhuluma ngalokhu ake wabhekana nakho ekukholweni kuNkulunkulu. Ngemva kokulalela lokhu ayekhuluma ngakho, ngezwa ukuthi sengimtholile umuntu engizothulula kuye isifuba sami, ngangakwazi ukuzibamba ngathulula zonke izinhlungu ezisenhliziyweni yami. Ngemva kwalokho, wabe esengifundela isigaba sezwi likaNkulunkulu: “Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uMninimandla Onke, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini. Useceleni kwakho ukubhekile, elindele ukuthi ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho ibuyela ikhumbula: ubuyelwe ukukhumbula iqiniso lokuthi wena wavela kuNkulunkulu, ngandlela thize nandawana thize wake walahleka, walahlekelwa ngumqondo endleleni, kwase futhi, ungazelele waba “nobaba.” Waphinde futhi wabona ukuthi uMninimandla Onke ubekade ebukela laphaya, elindele ukubuya kwakho sonke lesi sikhathi(“Ukububula KukaMninimandla Onke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Izwi likaNkulunkulu langena enhliziyweni yami njengomoya ofudumele, lapholisa inhliziyo yami ebuhlungu nekhathazekile, ngangakwazi ukubamba ukugeleza kwezinyembezi. Kulowo mzuzu, ngazizwa njengengane ezulazula ekuhluphekeni ebuyele ezingalweni zikanina. Ngaba nokujabula okungachazeki nomuzwa ongachazeki enhliziyweni yami. Ngabonga uNkulunkulu, ngoba wangiyisa endlini Yakhe wanginakekela lapho kade ngingenayo indawo engingaya kuyo. Ngizolandela uNkulunkulu ngenhliziyo yami nangomphefumulo wami! Kusukela lapho, ngafunda amazwi kaNkulunkulu, ngathandaza kuNkulunkulu, ngacula amaculo okudumisa uNkulunkulu zonke izinsuku, okwangenza ngakhululeka enhliziyweni yami. Ngokuthamela imihlangano, ngabona ukuthi abazalwane bawumndeni omkhulu, yize singahlobene ngegazi. Izinto abakhuluma ngazo zazilula futhi zivulelekile, zinokuqonda okuningi, zamukela futhi zibonisa ukubekezela, futhi zingenamona, zingaxabanisi futhi zingezimbi noma zingenabuzenzisi nokungathembeki. Abazange basabise abahluphekayo bebe bethanda abacebile, futhi babekwazi ukuphatha wonke umuntu ngokuthembeka nangokulingana. Inhliziyo yami yayizizwa ikhululekile uma sicula amaculo okudumisa uNkulunkulu ndawonye. Ngabe sengizizwa ngiyithanda le mpilo yasenkonzweni enothando nemfudumalo, enobulungisa nejabulisayo. Ngaba nesiqiniseko sokuthi uNkulunkulu uSomandla unguNkulunkulu oyedwa noneqiniso ngabe sengikhetha ukuthi ngizomlandela kuze kube sekupheleni.

Ngokufunda amazwi kaNkulunkulu, ngibe sengiqonda ukufuna kukaNkulunkulu ukusindisa isintu ngendlela angakwazi ngayo, ngabona ukuthi abazalwane abaningi bebenza okusemandleni abo ukunikela nokupha ukuze kusatshalaliswe ivangeli lombuso kaNkulunkulu. Ngabe nami sengizibandakanya ekushumayeleni ivangeli. Ukuze angihlanze futhi angishintshe, uNkulunkulu uqondane nesimo sami esikhohlakele wakhipha ukusola Kwakhe nokwahlulela phezu kwami ekwenza ephindelela. Ngesinye isikhathi, ngahamba ngayoshumayela ivangeli kumuntu owayengase akholwe. Kwakuyisikhathi esimatasa sokulima. Ngemva kokubona ukuthi wayematasa kanjani nomsebenzi wepulazi, ngaya ngayosebenza naye ngibe ngimtshela ngobufakazi bomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Ubani owayazi ukuthi ngemva kokukhuluma naye izinsuku ezintathu angeke kuphela angabi nayo inhloso yokwamukela kodwa uzongimemeza athi: “Unesibindi! Sengishilo nje ukuthi angikukholwa lokho, kodwa awuyeki ukushumayela.” Amagama akhe ahlaba ephukela. Ngezwa ubuso bami bushisa sengathi ngishaywe ngempama izikhathi eziningi phambi kwabantu, yabe inhliziyo yami ibuhlungu. Ngacabanga: Ngize kuwe ngizoshumayela ngoba nginezinhloso ezinhle ngazikhathaza ngikukulekelela emsebenzini wakho kwaze kwaba buhlungu iqolo, kodwa esikhundleni sokwamukela engikushoyo, wena ungiphatha kanje. Ave ungenazwelo! Ngazizwa ngiphoxekile ngangafuna ukukhuluma naye futhi, kodwa futhi ngezwa ukuthi lokhu akuhambisani nezinhloso zikaNkulunkulu, ngabe sengithandaza buthule ngenhliziyo ngacindezela ubuhlungu engibuzwa ngaphakathi ngaqhubeka ngakhuluma naye ngibe ngiqhubeka nokumlekelela ngomsebenzi wakhe. Kodwa-ke, noma ngizama kangakanani ukukhuluma naye angikwazanga ukumzuza. Ngaphelelwa umoya ngabuyela ekhaya. Amazwi entshumayelo yami ayelokhu edlala ekhanda lami. Uma ngilokhu ngicabanga ngakho ngangilokhu ngizwa ubuhlungu: Kungani ngizikhathaza? Ngezinhloso zami ezinhle engikutholayo nje kuphela ukuthukwa nokuhlukunyezwa. Abukho lapha ubulungisa! Akekho umuntu owake wangiphatha kanje. Ukusabalalisa ivangeli kubuhlungu futhi kunzima! Cha, ngeke ngiphinde ngiyoshumayela ivangeli futhi! Uma ngiqhubeka nokushumayela ngeke ngisabonakala ngale ndlela engibonakala ngayo. Kuthe ngisezwa ukuthi ngiphathwe kabi futhi ngisebuhlungwini ngendlela yokuthi bengingasafuni ukushumayela ivangeli, amazwi kaNkulunkulu angikhanyisela: “Ngabe uyawazi umthwalo owuthwele, ukuthunywa kwakho, kanye nesibopho sakho? Lukuphi ulwazi lomlando wokuthunywa? … Bampofu, bayadabukisa, bayizimpuphuthe, futhi balahlekile, bayalila ebumnyameni, “Iphi indlela?” Yeka indlela abalangazelela ukukhanya ngayo, njengenkanyezi etshuzayo, eyehla masinyane bese ihlakaza amandla obumnyama obucindezele abantu iminyaka eminingi. Ubani ongazi ukuthi bethemba ngokukhathazeka okungakanani, futhi bakulangazelela kangakanani lokhu ubusuku nemini? Laba bantu abahlupheka kakhulu bahlala beboshwe emigodini yobumnyama, bengenalo ithemba lokukhululwa, ngisho nangosuku lokubanika kokukhanya; bayoyeka nini ukukhala? Le mimoya entekenteke engazange ithole ukuphumula ihlupheka ngempela ngeshwa elingaka. Bavalelwe isikhathi eside unya lwezintambo kanye nomlando omi ndawonye. Ubani oke wezwa umsindo wokukhala kwabo? Ubani oke wabona isimo sobuso babo obudabukisayo? Ngabe uke wacabanga ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu ilusizi futhi ikhathazeke kangakanani? Angakumela kanjani ukubona abantu abangenacala abadala Yena ngezandla Zakhe behlupheka? Vele, isintu sineshwa lokufakelwa ubuthi. Nakuba siphile kwaze kwaba yinamuhla, ubani obengase acabange ukuthi sekunesikhathi eside sifakelwe ubuthi ngomubi? Ingabe usukhohliwe ukuthi nawe ungomunye walabo bagilwa? Ngothando othanda ngalo uNkulunkulu, awufuni yini ukuzama ukusindisa labo abaphilayo? Awufuni yini ukufaka wonke amandla akho ekukhokheleni uNkulunkulu othanda isintu njengenyama kanye negazi Lakhe siqu?(“Ungakunaka Kanjani Ukuthunywa Kwakho Kwesikhathi Esizayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Imisho ephakathi kwamazwi kaNkulunkulu yonke iveze ukukhathazeka nokuphatheka kabi Kwakhe nokunakekela Kwakhe abantu abamsulwa. UNkulunkulu akakuthandi ukubona abantu abadale ngezandla zakhe benziwa izilima futhi belinyazwa uSathane. UNkulunkulu ulokhu elinde ukuthi isintu sibuyele endlini Yakhe maduze sithole insindiso ayibekele sona. Kodwa lapho engibashumayezayo bekhuluma amagama ambalwa abuhlungu, ngazizwa ngoniwe futhi ngihlushwe kakhulu futhi ngaqala ukukhalaza ngobunzima nokuhlupheka. Ngangingasafuni nokwenza okulindeleke kimi ngoba ngase ngiphelelwe isithunzi. Uphi unembeza wami, ngicabanga kanjani? Ukuze asindise thina bantu abakhohlakele ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ubelokhu ephathwa kabi futhi ehlukunyezwa uhulumeni, elahlwa, enqatshwa, ehlanjalazwa futhi enyundelwa izinkolo, engaqondwa futhi angamukelwa yithi esingabalandeli baNkulunkulu. Ubuhlungu nokuphoxeka uNkulunkulu akuzwile kukhulu kakhulu! Kodwa-ke, uNkulunkulu akazange ayilahle insindiso yesintu, waqhubeka wanika isintu izidingo zaso. Uthando lukaNkulunkulu lukhulu! Muhle futhi unomusa! Ubunzima engihlangabezana nabo namuhla abulutho kunobuhlungu uNkulunkulu abuthwala egameni lokusindisa isintu! Ngakhumbula ukuthi nami ngaba isisulu, umuntu owalinyazwa uSathane iminyaka. Uma uNkulunkulu ubengalulelanga izandla Zakhe zensindiso kimi, ngabe ngisazabalaza kabuhlungu ebumnyameni, ngingakuboni ukukhanya ngingenalo nethemba lokuphila. Njengoba sengithole insindiso kaNkulunkulu, kumele ngimelane nokuhlazeka nezinhlungu ezihambisana nokusebenzisana kwami noNkulunkulu, ngenze umsebenzi wami kahle, ngilethe abantu abangenacala abasalinyazwa uSathane phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kubaluleke kakhulu futhi kudlula nanoma imuphi umsebenzi emhlabeni, futhi kufanele ngisho noma kumele uhlukumezeke kangakanani! Lapho ngicabanga ngalokhu, angizange ngisezwa ukuthi ukushumayela ivangeli kubuhlungu, kunalokho ngezwa nginenhlanhla yokwazi ukusebenzisana nevangeli lombuso kaNkulunkulu. Kwangithokozisa lokhu kwaphakamisa noNkulunkulu. Ngathatha isinqumo: Noma ngabe ngidlule kobunjani ubunzima emsebenzini wami wevangeli, ngizonikela konke okwami futhi ngethembele kuNkulunkulu ukuba ngilethe nabanye abantu abalambele uNkulunkulu phambi Kwakhe ukuze ngiduduze inhliziyo Yakhe! Ngemva kwalokho, ngabe sengiziphonsa emsebenzini wevangeli futhi.

Ngemva kwesikhathi sokuqeqeshwa, uma ngihlangabezana nomuntu engizomshumayeza ongangamukeli kahle noma okhuluma amagama ahlabayo ngesikhathi ngenza umsebenzi wami, sengiyakwazi ukubhekana nakho ngendlela eyiyo ngiqhubeke nokusebenzisana naye ngenhliziyo enothando. Ngenxa yalokhu, ngezwa ukuthi kunoshintsho olukhona ngangabe ngisanaka ukuthi abantu bathini nokuthi bangibeka kuliphi izinga emphakathini. Kodwa uma uNkulunkulu ebeka enye indawo ehlukile ukuze angivivinye ngakwalokho ebengikudinga empilweni, ngaphinde ngembuleka izinqe futhi. Ngelinye ilanga, umholi webandla wangibuza ukuthi kuhamba kanjani kimi wabe esekhuluma nami ngezinhloso zikaNkulunkulu ngaleso sikhathi kanye nendlela yokwenza izinto. Ngithe uma ngithola sisakhuluma ukuthi uzodluliselwa kwelinye ibandla ukuyokwenza khona umsebenzi wakhe, azange ngikwazi ukuzibamba kodwa ngezwa ngifikelwa umuzwa wokujabula: Kungenzeka ngibekwe njengomholi webandla uma esehambile. Uma kunjalo, kumele ngibe nokubambisana okuhle! Kuthe ngisanalowo muzwa wokujabula ngaphakathi, umzalwane wabe esethi kukhona omunye umzalwane ozoza kusasa. Inhliziyo yami yathinteka uma ngizwa lokho: Uzokwenzani? Ingabe uzokwenziwa umholi omusha webandla? Angikwazanga ukuzibamba kodwa ngaba nokwesaba: Ubengakakholelwa kuNkulunkulu isikhathi eside njengami, futhi uphuma lapho nami ngiphuma khona. Uma enziwa umholi, kuzosho ukuthini lokho ngami? Bazongibheka kanjani abazalwane? Nakanjani bazothi kusho ukuthi angiliphishekeli iqiniso njengoba yena enza. Ngangingakuyeki ukucabanga ngakho. Ngangingakwazi ukulala kahle embhedeni, ubuthongo bungehli. Ngesikhathi somhlangano ngelanga elilandelayo, ngalalelisisa ukuthi abaholi bathini futhi bakusho kanjani ngoba ngangifuna ukwazi ukuthi ubani ozokhethwa abe umholi omusha webandla. Njalo uma umholi ebheka ngakimi uma ekhuluma, ngangizwa ngiba nethemba lokuthi ngingaba umholi. Ubuso bami babugcwala injabulo nginqekuzise ikhanda ngivumelane nalokhu akushoyo. Ngakolunye uhlangothi, uma umholi ebheka ngakomunye umzalwane uma ekhuluma, ngangiba nesiqiniseko sokuthi lowo mzalwane uzobekwa abe umholi, bese ngiba nengcindezi ngiphatheke kabi ngalokho. Kulezo zinsuku ezimbalwa, ngangihlukumezeka ngendaba yegama engizenzele lona nezinga lami emphakathini ngaze ngaba nexhala ngaphazamiseka. Kwaba mnyama inhliziyo ngezwa sengathi nesikhathi sihamba kancane, sengathi simisiwe. Umholi webandla wasibona isimo engangikuso, wabe esethola isigatshana ezwini likaNkulunkulu wathi angisifunde: “Manje seningabalandeli, futhi seniyasiqonda kancane lesi sigaba somsebenzi. Nokho, anikakuyeki ukulangazelela kwenu izikhundla. Uma isikhundla senu siphezulu nifuna kahle, kodwa uma isimo senu siphansi niyayeka ukufuna. Izibusiso zesikhundla zihlala zisemiqondweni yenu.” “Yize senifike kulesi sinyathelo namuhla, anikasidedeli isikhundla, kodwa nihlala nilwela ukubuza mayelana naso, futhi nisibhekile nsukuzonke…. Uma ufuna ngokwengeziwe ngale ndlela, uzovuna kancane ngokwengeziwe. Uma umuntu elangazelela isikhundla ngokwengeziwe, kuzobhekanwa naye futhi acwengisiswe ngokwengeziwe. Abantu abanjalo abanamsebenzi walutho! Kumele kubhekanwe nabo futhi bahlulelwe ngokufanele ukuze bakwazi ukudedela lezi zinto ngokuphelele. Uma ufuna ngale ndlela kuze kube sekugcineni, awuzukuvuna lutho. Labo abangafuni ukuphila ngeke bakwazi ukuguqulwa, futhi labo abangalomeli iqiniso ngeke balithole iqiniso. Awugxili ekufuneni ukuguqulwa komuntu kanye nokungena, kodwa ugxila ezifisweni eziyihaba nasezintweni ezivimba ukuthanda kwakho uNkulunkulu futhi ezikuvimba ekusondeleni Kuye. Ingabe lezo zinto zingakwazi ukukuguqula? Zingakwazi ukukuletha embusweni?(“Kungani Ungazimisele Ukuba Yisiqhathaniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Umugqa ngamunye ezwini likaNkulunkulu wawuhlaba enhliziyweni yami, lenza ngibone ukuthi uNkulunkulu useduze kwami, ungiqaphile ukuthi ngikhulumani futhi ngenzani. Angikwazanga ukuzibamba kodwa ngazihlola mina imicabango nezenzo zami kulezi zinsuku ezimbili ezedlule. Ngabona ukuthi indlela engangibheka ngayo ukuphishekela yayincike futhi ithonywe izisho ezithi “Njengoba isihlahla siphilela isiqu saso, umuntu uphilela isithunzi sakhe,” nesithi “Umuntu uzenzela igama nomaphi lapho ahlala khona, njengoba nehansi likhala nomaphi lapho lindiza khona.” Bengilokhu ngifuna ukuzenzela igama ukuze nginconywe abanye, okwenza ukuthi ngigcine ngikhathazeka ngendlela abantu abangibheka ngayo nezinga lami emphakathini ngaze ngaba nexhala ftuhi ngaphazamiseka kwaba mnyama inhliziyo ngangakwazi nokulala, ngazenza isilima. Lesi simo esinje senziwa uNkulunkulu ngokuhambisana nesimo sami. Kwakuwuthando lukaNkulunkulu olwaphezu kwami. Umsebenzi kaNkulunkulu namuhla kwakuwukungisindisa, ukungisiza ngiphume ebumnyameni bokuthonywa uSathane ukuze ngithole insindiso. Indlela engangiphishekela ngayo yayiphambana nentando kaNkulunkulu. Bengingeke ngamukelwe uNkulunkulu ngisho noma bengikhohlelwa Kuye kuze kube sekupheleni. Bengizosala ngingenalutho! Ngabe sengithandaza buthule kuNkulunkulu: "O Nkulunkulu! Ngizimisele ukuthobela umsebenzi Wakho, ngihambe endleleni elungile yokukholelwa kuNkulunkulu ngokuhambisana nezidingo Zakho, ngenze imizamo ezwini Lakho ukuze ngiqonde iqiniso ngishiye isimo sami esikhohlakele. Noma ngabe ngenziwe umholi noma cha, ngizophishekela iqiniso ngishintshe izinto ezingahambisani nezinhloso Zakho.” Ngemva kokuqonda izinhloso zikaNkulunkulu, ngazizwa nginokuthula enhliziyweni yami ngakuthokozela ukukhuluma nanoma ngabe kukhulunywa ngani. Ngemva komhlangano, umholi webandla wathi, ngokweziphakamiso ezenziwe abafowethu nodadewethu abaningi, udade nguye ozoba umholi webandla, nokuthi mina ngizosebenzisana naye. Nganginokuzola okukhulu ngaphakathi futhi ngakwemukela ngenhliziyo emhlophe, ngavuma ukusebenzisana ngokuthula nodadewethu ukuze senze umsebenzi wethu.

Ngemva kokubona ukusola nokwahlulelwa uNkulunkulu kulesi sikhathi, ngazuza ulwazi oluthile ngokugxila kwami ekutheni abantu bazongibheka kanjani, ngangikulungele ukushiya inyama futhi ngikholelwe kuNkulunkulu ngenze umsebenzi wami ngokwezidingo Zakhe. Kodwa-ke, ukungcola kwami ngingcoliswa uSathane kwakujule kakhulu. Phansi ekujuleni komphefumulo wami ngangisalawulwa ithonya likaSathane. Ukuze angisindise ngingalinyazwa uSathane, uNkulunkulu walulela izandla Zakhe zensindiso kimi futhi. Ngelinye ilanga, ngezwa ukuthi kukhona umzalwane ebandleni owayengekho esimweni esihle, ngabe sengixhumana nodadewethu engangisebenzisana naye ngokuthi singayisombulula kanjani le nkinga. Ngenxa yokuthi udadewethu engangisebenzisana naye wayengaphilile, ngahamba ngedwa ukuyosombulula leyo nkinga ngemva kokuthi sixoxe ngayo. Ngamfuna lowo mzalwane ngalobo busuku ukuze ngikhulume naye, inkinga yasombululeka ngokukhulu ukushesha. Inhliziyo yami yayiphuphuma injabulo ngaleso sikhathi, ngicabanga ukuthi umholi omkhulu uzongincoma ngoba phela ngenze umzamo omkhulu impela. Kodwa-ke, ngathi ngisalinde izindaba ezimnandi, umholi omkhulu wabhala incwadi efuna ukuqonda ngesimo sikadadewethu. Ngangicabanga ukuthi eyokuncoma mina, ngakho-ke ngayivula ngenkulu intokozo ngayifunda. Ngithe uma ngibona ukuthi okuqukethwe kwakubuza ngodadewethu engisebenzisana naye ukuthi ubhekane kanjani nenkinga leyo, ngaleso sikhathi ngaba nokucasuka: Imina engasombulula le nkinga. Kungani engabhalelanga mina wabuza ngayo? Kubukeka sengathi anginandawo enhliziyweni yomholi wethu futhi ngibukelwa phansi. Ngiyigeli nje lokuthunywa. Noma ngabe ngenza kahle kanjani anginconywa ngalokho ngoba akekho umuntu onendaba. Uma ngilokhu ngicabanga ngakho, ngangizizwa ukuthi ngiphathwe kabi futhi nginengcindezi. Ngazizwa sengathi sengilahle konke indlela abantu abangibheka ngayo. Ngalesi sikhathi, udadewethu engisebenzisana naye wayephethe incwadi esandleni sakhe eselungele ukukhuluma nami. Angikwazanga ukufihla imizwa eyayingaphakathi kimi ngabe sengiyamemeza: “Umholi omkhulu akazi ukuthi le nkinga yasonjululwa kanjani. Ingabe awukwazi lokhu? Ngisebenze ngayo isikhathi eside kodwa akekho umuntu osho okuhle ngakho, futhi ekugcineni kunconywa wena. Emehlweni awo wonke umuntu ngingumuntu othunywayo nje nowesekanayo kuphela. Noma ngabe ngizama kangakanani, akekho umuntu obongayo, ngazizwa ngiphatheke kabi kakhulu ngavele ngakhala. Ngalowo mzuzu, ngezwa amazwi kaNkulunkulu ezindlebeni zami: “3. Uma ngilokhu ngibanda kuwe phezu kokuthi uzikhandle kakhulu, uzokwazi yini ukuqhubeka ungisebenzele ekufihlakaleni? 4. Uma, ngemva kokuthi uchithe izinto ezithile ngenxa Yami, ngingazenelisi izimfuno zakho ezincane, ingabe uzophela amandla futhi udumale Ngami noma uze uthukuthele futhi ungithuke?(“Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu asolayo awehlisa kancane umoya wami, nengqondo yami yathi ukuvuleka. Lokhu okusanda kwenzeka kulokhu kudlala kuphindaphinda engqondweni yami sengathi yibhayisikobho. Isambulo sikaNkulunkulu senze ngabona ukuthi isimo sami sibi futhi siyingozi, nokuthi ukukholelwa kwami kuNkulunkulu nokwenza umsebenzi wami bekungekona ukwanelisa uNkulunkulu noma ukwamukelwa nguye, kodwa ukuthi nginconywe abanye abantu. Uma lokhu engikufunayo ngingakutholi, bengiba nenzondo; kuvuke ubulwane kimi, kanti nokukhaphela uNkulunkulu kwaba lula ukukwenza. Ngalesi sikhathi, ngabona ukuthi sengihambe kakhulu futhi anginabuntu. Ubuhlungu engabuzwa babububi. Njengoba ngiphenduka, ngathandaza kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu, bengithi sengishintshile angisaphileli ukubukwa abantu nesikhundla emphakathini, futhi ngizokwazi ukuzwana nodadewethu. Kodwa kulokhu ongambulele kona namuhla, ngiphinde ngabona ubusathane bami, ngizwa sengathi anginasikhundla phakathi kwabantu futhi ngiyahlupheka ngenxa yokuthi imizamo yami ibinganconywa abanye. O Nkulunkulu, uSathane usengilimaze kakhulu. Isikhundla emphakathini, igama engizenzele lona, kanye nokuziqhenya konke kuphenduke amaketanga ami. Ngiyathandaza ukuthi ungohole ngiphume ngaphansi kwethonya likaSathane futhi.” Ngemva kwalokho, emazwini kaNkulunkulu ngabona lokhu okulandelayo: “Ngamunye ngamunye kinina nenyukele esicongweni sezixuku; nenyukele ekubeni yidlozi lezixuku zabantu. Niyizephulamthetho ezinkulu, futhi nehla nenyuka phakathi kwazo zonke izimpethu nifuna indawo enokuthula, nizama ukusobozela izimpethu ezincane kunani. Ninenzondo nobubi obesabekayo ezinhliziyweni zenu, nedlula nalezo zipoki ezacwila ekujuleni kolwandle. Niphila phansi ebulongweni, niphazamisa izimpethu kusuka phezulu kuya ezansi ukuze zingabi nakuthula, nilwa nodwa okwesikhashana nibuye nizothe futhi. Anizazi kwanina isimo senu, kodwa noma kunjalo nisalwa nodwa ebulongweni. Yini enizoyizuza kulokhu? Uma ngempela ngempela ninezinhliziyo ezingesabayo Mina, ningalwa kanjani nodwa? Noma ngabe nisezingeni eliphakeme kangakanani, ave niseyizimpethu ezinukayo ebulongweni? Nizokwazi ukumila izimpiko nibe ngamajuba esibhakabhakeni?(“Uma Amaqabunga Awile Ebuyela Ezimpandeni Zawo, Uzozisola Ngabo Bonke Ububi Obenzile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Igama ngalinye lokwahlulela kukaNkulunkulu lahlaba kabuhlungu enhliziyweni yami njengenkemba ebukhali, lavusa umoya wami langenza ngabona ukuthi bengenza umsebenzi wami kodwa hhayi ukuphakamisa uNkulunkulu nokuba ufakazi Ngaye, kodwa ngenxa yokuthi bengilokhu ngifuna ukubukisa, ngenze ubufakazi ngami, futhi ngiphupha ngokuba phezulu kubantu ukuze babheke mina. Bengimesaba uNkulunkulu enhliziyweni yami? Lokhu ebengikwenza ngabe akufani nalokhu okwenziwa ingelosi enkulu eyakhaphela uNkulunkulu? Ngiyisidalwa esinokaliswe uSathane. Phambi kukaNkulunkulu ngiyafana nodoti, isibungu. Kumele ngabe ngikhonza uNkulunkulu ngenze umsebenzi wami nginokwesaba enhliziyweni yami ngaso sonke isikhathi, kodwa angiwenzanga umsebenzi ngeqiniso, futhi bengilokhu ngifuna ukusebenzisa ukwenza umsebenzi wami njengethuba lokubukisa ngenze ubufakazi ngami. UNkulunkulu angayeka kanjani ukuzonda nokunyanya lokhu? UNkulunkulu ungcwele futhi mkhulu, ugcwele igunya namandla, kodwa uzithobile futhi uzifihlile, akazivezi ubuqu Bakhe okuzokwenza babheke Kuye futhi bamhloniphe. Kunalokho, uyaqhubeka enza konke ukuze asindise isintu. Ukuthobeka kukaNkulunkulu, ukulunga, nokuphana Kwakhe kungenze ngabona ukuqhenya kwami, ukuthoba kwami, kanye nokungabi nazwela. Ngazithola nginamahloni, kusengathi anginandawo yokucasha, futhi ngezwa ngonakaliswe uSathane ngendlela ejulile futhi ngidinga insindiso yokwahlulelwa, ukusolwa, ukulingwa nokucwengwa uNkulunkulu. Ngibe sengiwa phambi kukaNkulunkulu: “O, Nkulunkulu uSomandla! Ngokusola nokwahlulela kwakho ngiyabona ukungahloniphi kwami, futhi ngiyabubona ubuntu nobukhulu bakho. Kusukela manje kuya phambili, uma ngenza umsebenzi wami ngifisa ukwenza njengomuntu onenhliziyo ekwesabayo Wena, ngilahle isimo sami sobusathane ngokuthi ngithembele emazwini Akho.”

Ngemva kokubona ukusola nokwahlulelwa izikhathi eziningi, imibono yami ngokuphishekela iye yashintsha, kodwa isimo sempilo yami asikashintshi ngokugcwele. Ukuze angihlanzisise futhi angihole ukuze ngihambe endleleni efanele yempilo, uNkulunkulu uphinde wabeka kimi insindiso Yakhe. Ngemva kwesikhathi, ngakhethwa ngaba umholi webandla, ngisebenzisana nomunye udade emsebenzini wethu. Ngenxa yokuhluleka kwami kwangesikhathi esedlule, bengilokhu ngizikhumbuza ngaso sonke isikhathi ukuthi kumele ngihambisane nodadewethu ukuze senze kahle umsebenzi webandla. Ekuqaleni, bengixoxisana nodadewethu ngakho konke futhi sobabili sifuna ukuqondiswa uNkulunkulu, ngalokho sathola imiphumela kukho konke esikwenzayo. Kodwa ngemva kwesikhathi ngathola ukuthi udadewethu unesiphiwo, ukukhuluma kwakhe iqiniso bekucacile futhi kunokukhanyiselwa, futhi ubenamandla okusebenza angaphezu kwawami. Uma sinemihlangano abazalwane bebemlalela uma ekhuluma futhi bonke bebexhumana naye uma benezinkinga. Ngokubona isimo esinjena, ngaphinde ngabambeka ogibeni lukaSathane ngakhohliseka: Udadewethu ungcono kunami kukho konke futhi abazalwane bayamhlonipha noma ngabe uya kuphi. Hhayi ngeke! Kumele ngenze kangcono kunaye noma kuthiwani, kumele abazalwane babone ukuthi angikho ngaphansi kwakhe. Ngenxa yalokho, ngangihlala ngimatasa esontweni zonke izinsuku ngingaphumuli, ngihlela imihlangano yabazalwane noma ngabe ubani owayeba senkingeni bengigijima ngiye kuye ngiyosiza ukusombulula inkinga leyo. … Uma ubuka ngaphandle bengibukeka ngithembekile futhi ngithobekile, kodwa lokhu engikufisayo ngaphakathi kungaphunyuka kanjani emehlweni kaNkulunkulu? Ukungathobeki kwami kwavusa intukuthelo kaNkulunkulu, ngalokho ngawela ebumnyameni. Angizange ngikuthole ukukhanyiselwa uma ngifunda amazwi kaNkulunkulu, ngangingazi ukuthi ngizothini uma ngithandaza, ngingakhulumi kakhulu uma kunemihlangano, ngase ngisaba nokuhlangana nabazalwane. Ngaboshwa ukuthi abantu bangibuka kanjani kanye nesikhundla nezinga lami emphakathini. Usuku nosuku ngangiqhubeka ngingenalwazi, ngizwa sengathi ngithwele umthwalo emahlombe ami ngingakwazi ukuphefumula ngenxa yengcindezi. Ngangingasakwazi ukuqedela ezinye izindaba zebanda, izinga lami lokwenza umsebenzi lehla kakhulu. Ngokubhekana nalesi sambulo esivela kuNkulunkulu, angizange ngizame ukuzazi futhi bengingafuni ukuvuleleka kubazalwane mayelana nesimo sami bese ngifuna iqiniso lokuyisombulula, ngenxa yokusabela ukuthi bazongibukela phansi. Ngemva kwesikhathi, ukusola nokuyala kukaNkulunkulu kwehlela phezu kwami. Isisu sami savele saba buhlungu kabi ngangakwazi nokuhlala noma ukuma ngokuthula. Ubuhlungu bokugula nokungeneliseki ngenxa yokungasitholi isikhundla emphakathini kwangishiya ngiphakathi kokufa nokuphila. Ngenxa yokunqaba kwami ukwamukela izinkinga zami nokuhluleka kwami ukubambisana nabanye emsebenzini webandla, ibandla langikhipha lafaka omunye langithumela ekhaya ukuze ngizinikele ngokomoya ngiphinde ngizihlole ngaphakathi. Ngokulahlekelwa isikhundla emphakathini, ngazizwa sengathi ngiyiswe esihogweni. Ngazizwa ngiphansi kakhulu emoyeni ngezwa sengathi ngiphelelwe yikho konke abantu abebekubona kimi. Ngahlukumezeka kakhulu ngaphakathi ikakhulu uma ngibona abazalwane benza imisebenzi yabo, ngibe mina ngilahlekelwe umsebenzi kaMoya Ongcwele ngingakwazi ukwenza umsebenzi wami. Ngisebuhlungwini obunjalo, ngangizibuza ukuthi: Kungani abanye bekholelwa kuNkulunkulu beqonda iqiniso eliningi, ngibe mina ngingamhloniphi futhi ngimenqaba njalo nje uNkulunkulu futhi ngibheka ukuthi abantu bathini noma bangibuka kanjani? Ngamncenga uNkulunkulu izikhathi eziningi ukuthi angiholele ekutholeni umsuka wokwehluleka kwami. Ngelinye ilanga, ngabona lokhu emazwini kaNkulunkulu: “… abanye abantu bamkhonze ngempela uPawulu: Bathanda ukwenza izinkulumo nokusebenza ngaphandle. Bathanda ukuhlangana ndawonye bakhulume; bayathanda lapho abantu bebalalela, bebakhonza, bebazungeza. Bathanda ukuba nesithunzi emiqondweni yabanye futhi bayathokoza uma abanye bazisa isithunzi sabo. Sitholani ngemvelo yomuntu kulolu hlobo lokuziphatha? Ake sihlaziye imvelo yakhe: Lunohlobo olunjani lwemvelo lolu hlobo lomuntu oluziphatha ngale ndlela? Yimaphi amagama olungasongwa ngawo? Abantu abajwayelekile abakwazi ukukubona lokhu kodwa bangabuka ukuziphatha kuphela. Buyini ubudlelwane phakathi kokuziphatha nemvelo yomuntu? Iyini imvelo yakhe? Ngeke ukwazi ukuyikhomba, ungakwazi? Uma ngempela eziphatha ngale ndlela, lokho kwanele ukukhombisa ukuthi uyazidla futhi unobuqha. Akamkhonzi nhlobo uNkulunkulu; ufuna isikhundla esiphezulu futhi ufuna ukuba nethonya phezu kwabanye, ukubenza abakhe, ukuba nesiqu emiqondweni yabo. Lokhu kungumfanekiso omuhle kaSathane(“Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe). Ngaphezu kwalokho, “Izintshumayelo Nezinkonzo Zokungena Ekuphileni” zithi: “Ubuqu nemvelo kaSathane ukukhaphela. Wakhaphela uNkulunkulu kusukela ekuqaleni, ngemva kokukhaphela uNkulunkulu, wakhohlisa, wasebenzisa, walawula abantu emhlabeni abadalwe uNkulunkulu, ezama ukuzilinganisa noNkulunkulu futhi wazakhele umbuso ohlukile. … Niyabona, ingabe imvelo kaSathane akuyona eyokukhaphela uNkulunkulu? Kukho konke lokhu uSathane akwenzile esintwini, siyabona ukuthi uSathane uyidemoni elimelana noNkulunkulu nokuthi imvelo kaSathane eyokukhaphela uNkulunkulu. Konke lokhu kuphelele” (“Indlela Yokuthola Ulwazi Ngobuqu Bakho Obukhohlakele” embhalweni othi Izintshumayelo Nokuhlanganyela (I)). Ukucabanga ngalawa mazwi, ngavele ngaqhaqhazela ngenxa yokwesaba. Ngabona ukuthi indlela ebengiphila ngayo ibifana ncamashi nekaSathane, futhi ngiziqhenya ngizibona ngibalulekile, ngingamdumisi nhlobo uNkulunkulu. UNkulunkulu wangiphakamisela ukuthi ngenze umsebenzi wami ebandleni, ukuze ngilethe abazalwane phambi kukaNkulunkulu nginokumesaba enhliziyweni yami, ngenze abantu babe nendawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, baphinde bamesabe futhi bamthobele. Kodwa kukho ukungiphakamisa kukaNkulunkulu, azange ngizinake izinhloso zikaNkulunkulu ekwenzeni umsebenzi wami, ngazizwa ngingenamthwalo wokusiza abazalwane bakwazi ukungena ekuphileni. Kunalokho, bengilokhu ngifuna ukwenza abantu banake futhi balalele mina, futhi ngifeza okufiswa yimi, bengilokhu ngizama ukuzakha noma kuphi lapho ngihamba khona. Benginomona wabantu abalungile nabaqinile, ngincintisana nabanye ngokuba mkhulu. Ngaphandle ngangincintisana nami, kodwa eqinisweni ngangilwa noNkulunkulu. Lena yinto esilimaza ngempela isimo sikaNkulunkulu. Ungahlulele wangisola wabuye wangiyala, wangincisha izinga emphakathini ukuze ngizihlole mina bese ngiyaphenduka. Ngabona ukuthi uthando uNkulunkulu analo ngami lujulile futhi lukhulu! Ngazisola futhi ngazizwa nginecala, ngaphezu kwalokho ngakuzonda ukuthi inkohlakalo yami ijule kangaka. Ngangilandela uNkulunkulu kodwa angizange ngiliphishekele iqiniso, kunalokho ngangisebenzela izinga nokubonakala emphakathini. Ngahluleka ngempela ukuphilela uthando nensindiso kaNkulunkulu. Njengoba ngiqhubeka nokuzihlola ngaphakathi, ngabona ukuthi izisho ebengiphila ngazo, ezifana nezithi “Njengoba isihlahla siphilela isiqu saso, umuntu uphilela isithunzi sakhe,” nesithi “Umuntu uzenzela igama nomaphi lapho ehlala khona, njengoba nehansi likhala nomaphi lapho lindiza khona,” kwakungamanga kaSathane akhohlisa nalimaza ngawo isintu. Ngabona ukuthi uSathane usebenzisa lezi zinto ukulimaza imiphefumulo yabantu, adide imiqondo yabo, abenze bayibheke impilo ngendlela engeyiyo, abenze baphishekele izinto ezingasho lutho ezifana nezinga emphakathini, udumo, ingcebo kanye nokuthi abantu bakubheka kanjani, bese belahleka baphinde bakhaphele uNkulunkulu, ukuze bathobele amanga basebenzele yena bese eyabalimaza ngentando yakhe. Ngangingomunye walabo bantu abayibheka ngendlela engeyiyo impilo ngenxa yamanga kaSathane, ngaziqhenya, ngazibona ngibalulekile, ngizidla, ngingenayo indawo kaNkulunkulu enhliziyweni yami. Ngangiphila enkohlakalweni ngithatha uNkulunkulu njengesitha. Manje, akumele ngibuye ngimelane noNkulunkulu ngibe ngithokozela umusa Wakhe. Ngizoguquka, ngimhlubuke uSathane, nginikele inhliziyo yami yonke kuNkulunkulu, ngiphile njengomuntu weqiniso ukuze ngiduduze inhliziyo kaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, ngabheka ukuthi ngingaqhubeka kanjani nendlela yami yekusasa, nokuthi ngingaliphishekela kanjani iqiniso ukuze ngifeze intando kaNkulunkulu. Ngiyabonga Nkosi ngokungihola futhi. Ngabe sengibona amazwi kaNkulunkulu athi: “Namuhla, ngisho noma ungesona isisebenzi, kufanele ukwazi ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu, uzithobe kukho konke ukuqondisa kukaNkulunkulu. Kufanele ulandele noma yini eshiwo uNkulunkulu, uzwe zonke izinsizi nezindlela zokucwengwa, futhi nakuba ubuthaka, enhliziyweni yakho kusafanele ukwazi ukuthanda uNkulunkulu. Labo abathwala isibopho ngokuphila kwabo bazimisele ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu, futhi umbono wabantu abanjalo ngokufuna ulungile. Laba ngabantu uNkulunkulu abadingayo. … Njengesidalwa sikaNkulunkulu, umuntu kufanele afune ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu, afune ukuthanda uNkulunkulu ngaphandle kokwenza ezinye izinqumo, ngoba lumfanele uNkulunkulu uthando lomuntu. Labo abafuna ukuthanda uNkulunkulu akufanele bazifunele izinzuzo noma lokho abakulangazelela bona; lena indlela elungile yokufuna(“Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Njengesibani, amazwi kaNkulunkulu akhanyisa inhliziyo yami, angikhombisa indlela okumele ngihambe ngayo. UNkulunkulu unethemba lokuthi abantu, ngale kokuthi banesikhundla nokuthi behlelwe yini, bangenza konke okusemandleni ukuphishekela iqiniso, futhi bangakuthobela ukulawula nohlelo lukaNkulunkulu bese befuna ukuthanda nokwanelisa uNkulunkulu. Lena iyona ndlela elungile yokuphishekela futhi indlela eyiyo yokuphila okumele isidalwa esidaliwe siyihambe. Ngabe sengithatha isinqumo phambi kukaNkulunkulu: O Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungikhombisa indlela eyiyo yokuphila. Isikhundla sami sakudala sasenziwe ukuthi wawungiphakamisile Wena. Ukungabi nasikhundla namuhla nakho kungenxa yokulunga Kwakho. Mina ngiyisidalwa nje esincane. Kusukela manje kuya phambili, ngifisa ukuphishekela iqiniso ngithobele zonke izinhlelo Zakho.

Ngemva kwalokho, isimo sami sabuyela esimweni esijwayelekile ngokufunda amazwi kaNkulunkulu nokuphila impilo ngisebandleni. Ibandla laphinde langihlelela omunye umsebenzi ongifanele. Ngaphinde ngagxila ekuphishekeleni iqiniso ekwenzeni umsebenzi wami, uma kukhona okwenzekayo bengifuna inhloso kaNkulunkulu, ngizama ukuzazi, bese ngithola amazwi kaNkulunkulu ahambisana nalokho ukuze ngikusombulule. Uma ngibhekene nezinto ezazifaka ukuthi abantu bazongibheka kanjani, yize ngangiba nayo imicabango engqondweni yami, ngomkhuleko nezwi likaNkulunkulu bengifuna iqiniso bese ngiyazilahla, kancane kancane ngakwazi ukuthi ngingabe ngisalawulwa yilezi zinto ngakwazi ukwenza umsebenzi wami nginokuthula. Uma ngibona abanye abazalwane abangakakholwa kuNkulunkulu uma ngisathunyiwe, ngizokwazi, ngokufuna iqiniso, ukuqonda ukuthi umsebenzi umuntu awenzayo waziwa uNkulunkulu, nokuthi kumele ngithobele izinhlelo zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, ngiyakwazi ukubhekana nakho ngendlela eyiyo. Uma abazalwane bebhekana nobunjalo bami futhi bebudalula, yize ngizwa ukuthi ngilahlekelwa indlela abantu abangibheka ngayo, ngiyakwazi ukuzithoba ngomkhuleko. Lokhu kungenxa yokuthi uthando lukaNkulunkulu luphezu kwami, futhi lungisizile ekushintsheni isimo sempilo yami. Esikhathini esidlule, bengigxile endleleni abantu abangibheka ngayo kakhulu ngingazimisele ukuvuleleka kwabanye, ngoba ngesaba ukuthi bazongibukela phansi. Manje, sengizama ukuba umuntu oneqiniso ngokwezidingo zikaNkulunkulu, uma nginezinkinga ngiyakhuluma nabazalwane, okungenza ngikhululeke futhi ngijabule ekujuleni komphefumulo wami. Ukubona lolu shintsho kimi, ngibonga futhi ngidumise uNkulunkulu, ngoba lolu shintsho lwenziwe nguye uNkulunkulu kimi ngomsebenzi wokusola nokwahlulela ezinsukwini zokugcina.

Manje sengimlandele iminyaka eminingi uNkulunkulu uSomandla. Uma ngibheka emuva, kwakuwukungcola kukaSathane obekungcolisa umphefumulo wami. Bese ngiphile ngaphansi kwesandla sikaSathane futhi wangikhohlisa iminyaka eminingi. Bengingakwazi ukubaluleka nokuthi kusho ukuthi ukuphila. Bengingakuboni ukukhanya, futhi bengingayitholi intokozo nenjabulo yeqiniso. Ngacwila emgodini wokuphatheka kabi ngingakwazi ukuzikhipha. Manje, kungemva kokusolwa nokwahlulelwa isikhathi eside okwenze ngakwazi ukuqeda ukulinyazwa uSathane nokuzitholela inkululeko. Sengibuyelwe unembeza nokucabanga, futhi sengiyazi ukuthi ngizophishekelani, ngilandela uNkulunkulu ngiye ekukhanyeni endleleni eyiyo yokuphila. Ngokusolwa nokwahlulelwa uNkulunkulu, ngikubonile ngempela ukungabi namona nothando lukaNkulunkulu, ngathokozela isibusiso futhi ngathola uthando isintu osingeke silubone. UNkulunkulu kuphela ongasindisa abantu ekuhlushweni uSathane, futhi umsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ongahlanza isintu ekungcolisweni uSathane usenze saphile njengobantu beqiniso futhi sihambe endleleni eyiyo yokuphila. Ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya. Kungumusa omkhulu kakhulu, ukuvikela okuhle, futhi kuyingcebo yempilo uNkulunkulu ayinike umuntu. Njengoba kusho amazwi kaNkulunkulu uSomandla: “… ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela!(“Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngibonga ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ngokungisindisa kungenze ngizalwe kabusha! Endleleni yami yokukholwa kuNkulunkulu, angeke ngiyeke ukuzama ukuphishekela iqiniso, ngithole ukusola nokwahlulelwa uNkulunkulu, ngikuqede nya ukungcola kukaSathane ukuze ngihlanzwe, ngithole ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu, ngibe umuntu omthanda ngeqiniso uNkulunkulu.

Okwedlule: Ukuzalwa Kabusha

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp