Ngathola Ukukhanya Kweqiniso

November 07, 2018

UQiuhe eJapan

Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika. Kusukela ebuncaneni bami, bengihamba Imisa esontweni nomkhulu nogogo. Ngenxa yomthelela wendawo yangakithi nokukholwa kwami uNkulunkulu, ngifundile ukusho amavesi amaningi nokwenza imikhuba ehlukahlukene.

Ngonyaka ka2009, ngafika eJapan ukuzofunda. Ngesinye isikhathi, endlini yesinye isitshudeni ebengifunda naso, ngahlangana ngenhlanhla nomholi weqembu elincane lama Kristu owayeze ukuzosabalalisa ivangeli. Ngabe sengicabanga: AmaProthestani naMakhatholika bakholwa nguNkulunkulu munye. Bobabili bakholwa yiNkosi uJesu. Ngenxa yalokhu, ngamukela isimemo salomholi weqembu elincane ukuba ngihlanganyele naye enkonzweni. Emveni kokuzwa abefundisi beshumayela ngezwa nabanye abafowethu nodadewethu bekhuluma ngeBhayibheli, ngabanokuqonda ngempilo yeNkosi uJesu. Lokhu kwangenza ngamkholwa kakhulu iNkosi. Nakuba kunjalo, emveni kwezinyanga ezimbalwa, abefundisi nabashumayeli bacela ukuba sinikele okweshumi njalo ngeviki. Futhi, njalo ngeviki, sasidlulisela amapheshana kubantu ukudlulisa ivangeli. Kwesinye isikhathi, sasikhathala kuze kube siyozela ngesikhathi senkonzo yangeSonto. Sase singasenayo impilo ejwayelekile ezimpilweni zethu. Ngaleso sikhathi, abanye bethu babesebenza bebe befunda. Kwakungafanele senze kuphela imali yokukhokhela ukufunda kwethu, kepha sasidinga nemali yezindleko zethu zansukuzonke. Izimpilo zethu zase zivele zinzima, kodwa babesafuna ukuba sibanikeze imali yethu namandla ethu. Sasingaphansi kwengcindezi nobuhlungu obukhulu. Kancane kancane, ngathola ukuthi abefundisi nabashumayeli babengasizo izikhonzi zeNkosi zeqiniso. Ngokujwayelekile, ngenxa yokuthi ibona ababelusa ibandla, kwakufanele ngabe babesisiza ukuba sikhule ezimpilweni zethu zakomoya. Nokho-ke, babengenandaba nezimpilo zethu. Abazange bacabange ngezinkinga zethu eziphathekayo. Kunalokho, babefuna amandla ethu nemali yethu. Konke ababekwenza kwakungukuba kukhulise ibandla labo bahlanganise nomumo wabo negalelo labo. Ngalesi sikhathi, sazizwela kungathi sikhohlisiwe. Kanjalo, mina nabanye abafowethu sabe sesilishiya ibandla.

Emveni kokushiya ibandla, ngathola ibandla lamaKhatholika elalisesicongweni sentaba. Abantu ababesesontweni kwakungamaJaphani. Ngahamba Imisa izikhathi ezimbalwa kodwa ngezwa ukuthi akungenzi ngizuze kwezikamoya. Ngaphezu kwalokho, kwakungayeki kahle enkonzweni, ngase ngiphinda ngilishiya ibandla. Ngaleyo ndlela, ngaphila impilo enokudideka futhi nginesikhala ngingenayo inkombandlela futhi ngingenamgomo. Lokhu kwenzeka kwaze kwaba u-Okthoba ka2016. Usisi u Liang engangihlangane naye ebandleni lama Prothestani ngokwedlule, wabe esexhumana nami, wabuza ukuthi nginjani wase engimema ukuba ngizombona. Ngacabanga ukuthi ngangiphoxeke kangakanani ekwazini kwami ibandla lamaProthestani nokuthi kwabanjani ngalowonyaka nje uwodwa ngenxa yalokho ngasinqaba isimemo sikasisi uLiang. Nakuba kunjalo, usisi uLiang wabuye wangimema ngokuphindelela kwasekuthi ngenxa yokuhlonipha imizwa yakhe, nganquma ukuhlangana naye.

Ngokusizwa usisi uLiang, ngahlangana nosisi uMa kanye no sisi uFang. Ngelinye ilanga bakhuluma nami mayelana neziprofetho eziningi zeBhayibheli. Bangitshela ngomsebenzi kaJehova uNkulunkulu kanye neNkosi uJesu. Ukuqonda kwabo kwakukusha kakhulu futhi bakhuluma ngezinto engangingakaze ngizazi ngaphambilini. Ngabatshela ngesimo esimnyama engasibona ebandleni nokuthi ngangikhathazeke kangakanani ngokuba ngingondleki ngokomoya ebandleni nokuthi ngase ngingazimisele ukuba ngize ukuhlanganyela. Usisi uFang wathi: Nathi sibhekene nalokhu obhekene nakho. Okwamanje, lonke izwe lezenkolo lisebumnyameni lisesimweni sokuba dengwane. Kulo-ke, kunezinjongo zikaNkulunkulu kanye neqiniso okumelwe litholakale. Okwamanje sisezikhathini zokugcina zomhlaba. INkosi uJesu wabikezela: “Futhi ngenxa yokuba isono sizokwanda, uthando lwabaningi luzophola(Mathewu 24:12). Ububi buyangokuya buyanda ezweni lezenkolo kulezi zinsuku. Abefundisi namalunga abasalandeli izifundiso zeNkosi futhi abalaleli imiyalelo Yakhe. Sebeshumayela futhi basebenzele ukuzakhela amagama abo. Sebehlezi beziphakamisa bona bafakaze ngabo ukuze abanye abantu babheke bona futhi bakhonze bona. Benza ukuba abanye abantu banikele basabalalise ivangeli. Ngokusho kwabo ngomlomo, bathi inhloso ukusindisa imiphefumulo yabantu, kepha ngokweqiniso abaholeli abantu ukuba bahlangabezane nezwi leNkosi futhi ababasizi ukuba balenze izwi leNkosi. Bafuna nje ukuba abanye abantu balalele bona. Balangazelela ukuba abanye abantu babaphathise okukaNkulunkulu. Emandulo baqala ukuhamba endleleni kamphikukristu engeyinhle kuNkulunkulu. Balahlekelwe umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi bashiyiwe uNkulunkulu. Cabanga ubuyele emuva ngeNkathi Yomthetho lapho ithempeli lalidengwane seliphenduke umhhume wabaphangi. Abapristi benza iminikelo ebuthakathaka lapho abantu abejwayelekile badayiselana ngezinkomo, izimvu namajuba phakathi ethempelini. Kepha ukujezisa nolaka kukaNkulunkulu akwehlelanga ngaphezukwabo. Kungani? Abapristi abakhulu, ababhali nabaFarisi ababekhonza uNkulunkulu abalalelanga umthetho, babengabazenzisi futhi bakhohlisa abantu, futhi babeholela abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu endleleni yokuba bamshaye indiva uNkulunkulu. Lokhu kwaholela ukuba uNkulunkulu angabathandi futhi wabala nethempeli laphelelwa umsebenzi kaMoya Ongcwele laphenduka umhhume wabaphangi. Ukuze abantu bahlengeke ekutheni balahlwe ekufeni ngomthetho, uNkulunkulu waba sesimweni sesintu ngokokuqala, wenza umsebenzi wokukhulula, ngaphansi kwegama likaJesu, kwaqala iNkathi Yomusa kwaqedwa ngeNkathi Yomthetho. Umsebenzi kaMoya Ongcwele wabe usushintshela kubantu abemukele iNkosi uJesu. Ithempeli bese lingenawo umsebenzi kaMoya Ongcwele. Esikhathini samanje, iNkosi uJesu usebuyile njengalokhu kwakuqaguliwe. Usevele usebuyile ngokwenyama. UnguSomandla uNkulunkulu uKristu ngezinsuku zokugcina useqalile ukuveza iqiniso nokwenza umsebenzi wokwahlulela eqala ngomndeni kaNkulunkulu. Umsebenzi kaMoya Ongcwele usudlulele kulabo abemukele umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Njengalokhu izwe lezenkolo lingakhoni ukuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu futhi abefundisi abaningi namalunga benza ngokungeyikho futhi beshaya indiva umsebenzi omusha kaNkulunkulu, lokhu sekuholele ekutheni uNkulunkulu abazonde futhi abaqalekise. Lokhu kuwumsuka wobumnyama nobudengwane bezwe lezenkolo.

Emva kwalokho, odadewethu bafunda ingxenye yamazwi kaNkulunkulu ukuze ngibe nokuqonda okusobala. Kahle kahle ngoba uNkulunkulu usephinde wenza umsebenzi omusha, umsebenzi kaMoya Ongcwele usugudlukile. Wonke amahlelo angenawo umsebenzi kaMoya Ongcwele ayangokuya ebamnyama futhi adengwane. USomandla uNkulunkulu wathi: “Futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa: Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo. Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa uzokwehlelwa yindlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye. Leso kuyoba yisikhathi sokwambulwa kwezenzo zikaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakhazinyuliswa; bonke abantu emhlabeni wonke bazokhonza ‘umuntu’ onganakekile. Ingabe lolu ngeke kube usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu?(“Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Uma ngikhumbula isimo engasibona ngobu Prothestani nobuKhatholika, kwabuye kwaqinisekiswa enhliziyweni yami ukuthi amazwi kaSomandla uNkulunkulu ayekhuluma ngobunjalo besimo. Amazwi Akhe anengqondo futhi ayiqiniso. Umsebenzi kaMoya Ongcwele nembala usushintshile. Noma ngabe kwakungubu Prothestani noma ubuKhatholika, engakuzwa kwaku wukulangazelela kwabantu kwangaphandle. Engakufunda kwaba ulwazi lwemibhalo kanye nolwazi lwezenkolo. Kahle kahle kwakungekho ukukhanya okusha futhi angizizwelanga ukuphakelwa ngokomoya empilweni. Phakathi kwabantu ababelandela uNkulunkulu ngokweqiniso, ubani ongakaze afune ukondleka ngokukamoya? Ngabona ukuthi amazwi kaSomandla uNkulunkulu anamandla okwaphula izibopho zami avule nezimfihlakalo zeBhayibheli. Amazwi Akhe ahlahlamelisa inhliziyo yami. Inhliziyo yami ayiphindanga yadideka. Ngokweqiniso sengizuze kwaba kuningi!

Emva kwalokho, usisi uMa waletha incwadi: “Izwi Livela Lisenyameni” wase efunda izingxenye ezithizeni: “Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso(“Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi(“Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Umsebenzi osuwenziwe manje ususheshise umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi umsebanzi wecebo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ususheshile. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela phambili. Kungani ngisho ngokuphindelela, ukuthi lesisigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi walolusuku kungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi yoMusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi esinye sixhumene nesinye. Ukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa icebo lokuphatha leminyaka eyizinkulungwane eyisithupha(“Ukuba Semzimbeni Wobuuntu kokubili kuphelelisa ukubaluleka kokuba Semzimbeni Wobuntu” Ezwini Elivela Lisenyameni). Emva kokuba eseqedile ukufunda amazwi kaSomandla uNkulunkulu wabe esethi; “Ukusuka emagameni kaSomandla Nkulunkulu, siyabona ukuthi emva kokuba umuntu esengcolisiwe uSathane, uNkulunkulu waqala ukwenza umsebenzi wokusindisa umuntu.” Lomsebenzi uhlukaniswe izigaba ezintathu: Umsebenzi kaJehova uNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho, umsebenzi weNkosi uJesu ngeNkathi Yomusa nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ngeNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina. NgeNkathi Yomthetho, uJehova uNkulunkulu wakhipha imithetho ukuze umuntu azazi izono zakhe. NgeNkathi Yomusa, iNkosi uJesu wabethelwa esiphambanweni ukuba akhulule umuntu. Manje, kule Nkathi Yombuso wezinsuku zokugcina, uSomandla uNkulunkulu wenzile umsebenzi wokwahlulela ngamazwi Akhe phezu kwesisekelo seNkosi uJesu umsebenzi wokukhulula ukuze kuxazululwe imvelo yethu eyonayo, asuse izono zethu ngokuphelele asihlanze futhi asisindise. Ubufakazi buyisiqiniseko sokuthi uSomandla uNkulunkulu ungukubonakala kukaJehova uNkulunkulu owakhipha imithetho futhi wayala impilo yomuntu. Ungukubuya kwesibili kweNkosi uJesu owakhulula umuntu ngokuba abethelwe esiphambanweni. Kulezizigaba ezintathu zomsebenzi, nakuba kushintshe kangakanani ubunjalo nomsebenzi kaNkulunkulu, inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, okuyinjongo yokusindisa umuntu, akaze iguquke. Umongo kaNkulunkulu awusoze waguquka neze. Esinye nesinye salezizigaba somsebenzi sakhelwe phezu kwesigaba esisandulele. Isigaba nesigaba, sijulile futhi siphakeme kunesadlule. Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngokuthuthuka kwalezizigaba. Zenziwe zasuselwa ezidingweni zesidalwa esingumuntu ukuze ezosisindisa futhi asizuze. Ngamanye amagama, umsebenzi womthetho kaJehova uNkulunkulu, umsebenzi wokukhulula weNkosi uJesu nomsebenzi wokwahlulela kuqala ngendlu kaNkulunkulu wenziwa uSomandla uNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kunemisebenzi ehlukahlukene eyenziwa ngezinkathi ezahlukahlukene, yenziwa nguye loNkulunkulu. Ngokwamacebo Akhe futhi ngokwezidingo zomuntu, uNkulunkulu usisindisa ngokwezigaba.

Ngalesisikhathi, ngazizwela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyathokozisa, unamandla futhi uhlakaniphile. Futhi ngakuzwa ukunakekela, nomcabango, uNkulunkulu ayenawo ekusindiseni umuntu obe onakalisiwe kakhulu uSathane nothando olukhulu lukaNkulunkulu ngathi! Amazwi kaSomandla uNkulunkulu aletha ukukhanya kulamaqiniso nezimfihlakalo engangingakaze ngiwezwe. Imikhawulo yami yakhula kakhulu futhi ngazuza kakhulu. Ngabe senginquma ukubukisisa umsebenzi kaSomandla uNkulunkulu wezinsuku zokugcina.

Ngenxa yokuthi kwasekuhambe isikhathi ngaleyonkathi, sanquma ukuba siqhubeke nokuhlanganyela uma siphinde sihlangana. Ngaphambi kokuba bahambe, usisi uMa wanginikeza incwadi ethi: Amazwi kaNkulunkulu Avelele ngeVangeli Lombuso ukuze ngizokwazi ukuhlolisisa umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina uma ngibuyela emuva ekhaya. Uma sengibuyele emuva, ngenxa yokuthanda ukwazi, ngabheka “IBandla LikaNkulunkulu USomandla” ku intanethi. Angikaze ngicabange ukuthi ngiyakubona ukuvezwa kolwazi olungesilo iqiniso kuhulumeni wase CCP nezwe lezenkolo lilwa futhi ligxeka uSomandla uNkulunkulu neBandla Lakhe. Lapho ngibona lokhu okuqukethwe, ngavele ngaba nesiqiniseko esikhulu sokuthi Ibandla LikaNkulunkulu USomandla yibandla elinomsebenzi kaMoya Ongcwele ngokweqiniso futhi uSomandla uNkulunkulu unguNkulunkulu ovelile osebenzayo ngezinsuku zokugcina. Lokhu kungenxa yokuthi, kusukela emandulo, indlela eyiqiniso ilokhu icindezeliwe! Uma ngiya kohlanganyela ngihamba nomkhulu nogogo e China, ngahlangabezana nokuhlushwa kuvela kuhulumeni wase CCP. Kwakufanele sizifihle njalo uma siya kulezizinhlanganyelo. Uhulumeni wase CCP mubi ngokweqiniso! Bawumbuso ongakholwa uNkulunkulu. Bayalizonda iqiniso noNkulunkulu kakhulu. Ngakho ke, baphikisa bacindezele okukanye indlela eyiqiniso nebandla eliyiqiniso. Isikhashana emva kokuhlanganyela, ngabe sengixoxa nosisi uFang nabanye. Wenza ngabona isehlo esimangalisayo, Ukuvuswa Enkohlisweni, kwi vidiyo yevangeli ethiwa Ukuphunyuka Ogibeni Lomcuphi. Umdlali ngqangi wayecinga, “Kodwa angiqondi, uma Ukukhanya kwaSempumalanga kuyindlela yeqiniso, kungani izophikiswa kakhulu kangaka uhulumeni we CCP? Kungani nabaholi bezenkolo bezoyigxeka ngentukuthelo na?”

Kule vidiyo, omunye wabafowethu waphendula, “IBhayibheli lithi, ‘umhlaba wonke usebubini(1 Johane 5:19). INkosi uJesu naye wathi: ‘Lesi yisizukulwane esibi(Luka 11:29). Kulokho-ke, umhlaba unobumnyama nobubi obungakanani? NgeNkathi Yomusa, ukuze umuntu akhululwe, INkosi uJesu iseMzimbeni Wobuntu wabethelwa esiphambanweni yizwe lezenkolo nababusi bangaleso sikhathi. USomandla uNkulunkulu wezinsuku zokugcina ozile ukuletha iqiniso bese ehlulela umuntu futhi ubhekana nokukholwa nokudebesela kwezwe lezenkolo kanye nesimo sezepolitiki kuka drako omkhulu obomvu futhi akamukeleki ngalenkathi. Lokhu kuphelelisa amazwi eNkosi uJesu: ‘Njengombani, okhanya engxenyeni ethize phansi kwezulu, ukhanya kwenye indawo ngaphansi kwezulu; izoba njalo futhi iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane(Luka 17:24-25). Lokhu kubikezelwa kweNkosi uJesu, sekuze kwapheleliswa ekugcineni. Umuntu nomuntu owomele ukubonakaliswa kukaNkulunkulu kumele abonisise kahle ukuthi Inkosi isivele isibuyile kudala futhi imatasa nokwenza umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina. Ukubikezelwa kweNkosi uJesu sekuphelelisiwe. Kungenzeka yini ukuthi asiliboni iqiniso ngokucacile?”

Omunye wofakazi waqhubeka wakhuluma: “Bafowethu no dadewethu, lombuso wokungakholwa nowepolitiki neningi labaholi bezwe lezenkolo imimoya kasathane ezonda uNkulunkulu kanye neqiniso. Lokhu sekuvele kuqinisekisiwe ngokuthi iNkosi uJesu wabethelwa esiphambanweni. Ingakho indlela yeqiniso iyohlale ibhekana nokungamukeleki nombono wokungakholwa nepolitiki kanye nezwe lezenkolo. Phezu kwalokho, bonke labo abasabalalisa indlela eyiqiniso futhi abalenzayo iqiniso bayoboshelwa uzungu bacindezelwe yibona futhi. Lokhu kunjengalokhu iNkosi uJesu ishilo, ‘Uma izwe linizonda, yazini ukuthi langizonda mina kuqala ngaphambi kokuzonda nina. Uma beningabezwe, izwe belizothanda abalo: kodwa ngenxa yokuthi anibona abezwe, kepha nginikhethile ezweni, ngakho izwe liyanizonda(Johane 15:18-19). Kungenxa yalesi sizathu ukuthi kuzizukulwane ngezizukulwane, labo abangakwazi ukwamukela indlela eyiqiniso balandele uNkulunkulu weqiniso bayiqeqebana eliyingcosana elithanda iqiniso nelilandela iqiniso. Nakuba kunjalo, iningi labantu alizihluphi ngokubhekisisa indlela eyiqiniso bese kuthi ngenxa yalokho, balahlekelwe ithuba lensindiso kaNkulunkulu ngenxa yokuthi balandela amandla kaSathane noma bayesaba ukuhlushwa. Ingakho Inkosi uJesu ixwayisile ngaphambilini: ‘Ngenani ngesango elincane: ngoba libanzi isango, futhi nendlela ibanzi, eya ekubhujisweni, kanti baningi abahamba ngayo: Ngoba isango lincane, nendlela yincane, eya ekuphileni, futhi bambalwa abahamba ngayo’ “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo” (Mathewu 7:13-14). Uma ngibona lezi zinto kwi vidiyo, ngaba nesiqiniseko kakhulu ukuthi lokhu uhulumeni wase CCP akushushisayo nakuhlulelayo empeleni indlela eyiqiniso. Lokhu kuyiqiniso.

Ngemuva kwesikhathi sokuhlanganisa ubufakazi, ngaba nokuqonda okunzulu ngomsebenzi wokwehlulela kukaNKulunkulu wezinsuku zokugcina ezivela emazwini kaSomandla uNkulunkulu kanjalo nalokho okushiwo abafowethu nodadewethu. Ngibuye ngazuza ukuqonda kweqininiso mayelana nokuba Semzimbeni Wobuntu, insindiso kanye nensindiso ephelele, injongo kaNkulunkulu yokuphatha umuntu, ukuphela kwenkambo yomuntu kanye nemvelaphi yendlela yengunaphakade. Amaqiniso uSomandla uNkulunkulu awavezile maningi kakhulu. Kusuka ngaphakathi enhliziyweni yami, ngakholwa kakhulu ukuthi uSomandla uNkulunkulu ungukubuya kwesibili kweNkosi uJesu. Ngamukela ngenjabulo imisebenzi kaSomandla uNkulunkulu yezinsuku zokugcina.

Sengibekezelile ekukhulekeni nsukuzonke nasekufundeni amazwi likaNkulunkulu. Njalo njalo, ngilalelile izintshumayelo nokuhlanganyela ekungeneni empilweni kanye namahubo amazwi likaNkulunkulu ngabuye ngabukela amavidiyo evangeli. Njalo evikini, ngihlanganile nabafowethu nodadewethu, ngokuzisukela mina ngalifafaza ivangeli ngafakaza ngoNkulunkulu ngikanye nabo. Njengamanje ngiyazizwela ukuthi impilo yami icebile kakhulu nempilo yami yakomoya yondlekile futhi iyathokozisa. Ekugcineni, sengibuyele ebandleni leqiniso futhi sengitholile “umndeni wami” weqiniso. Esikhathini esadlule, amabandla ebengihlale ngiya kuwo abenabefundisi nabapristi ebebedinga ukuba kukhulunywe nabo. Nokho-ke, ebandleni likaSomandla uNkulunkulu, abafowethu nodadewethu kanye nami sonke sihlonipha uNkulunkulu njengomkhulu. Ubudlelwane bethu omunye nomunye, abehlukaniswa amazinga ethu. Sonke siyalingana. Akukho nemibandela noma imikhuba yezenkolo uma sihlangene. Ungaya ngokwesidingo sakho nesikhathi esilungele wena. Akekho umuntu ozokuvimba noma ozokuphoqa. Into nje bonke abantu abakhuluma ngayo ukuba bengenza kanjani ukuba babe umuntu othembekile, uluthola kanjani ushintsho umuntu esimweni semvelo yakhe ukuze azuze ukuhlanzwa kanye nensindiso, umuntu uwuphelelisa kanjani umsebenzi wakhe ukuze abuyisele kuNkulunkulu uthando futhi amenelise uNkulunkulu, nokunye nokunye. Kuvele kuzenzakalele, ngaphansi kokuholwa izwi likaNkulunkulu, ngaqala ngafuna inguquko endleleni engibheka ngayo izinto zikaNkulunkulu ngazibheka ngokwezwi likaNkulunkulu; ngaphinde ngaba nokuqonda nokukwazi ukwehlukanisa umongo wobubi bomphakathi baleyonkathi kanye nezindlela uSathane akhohlakalisa ngazo umuntu. Ukusuka lapho kuya phambili, angiphindanga ngadlala imidlalo yamavidiyo futhi angibange ngisachitha isikhathi ngokuya ku KTV. Lapho nginesikhathi, ngangifunda izwi likaNkulunkulu futhi ngihlanganyele nabafowethu nodadewethu lapho sasihlanyela bese sicula sidumise uNkulunkulu. Usuku nosuku lwaluchichima. Angiphindanga ngazizwa nginesikhala futhi ngingenalusizo. Ngaphezu kwalokho, bengiqonda kahle imigomo yempilo. Ngangazi ukuthi ukuqonda kutholakala ngokuba umuntu aphelelise umgomo wakhe phambi kukaNkulunkulu nokuphilela uNkulunkulu njengesinye sezidalwa Zakhe. Ngiyambonga uSomandla uNkulunkulu ngokungihola ukuba ngihambe endleleni enhle yempilo. Ngizimisele ukubeka lonke igunya, udumo nendumiso ezinyaweni zikaNkulunkulu munye weqiniso manje kuze kube phakade. Ameni!

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukuhlangana neNkosi Futhi

UJianding, eMelika Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika, futhi kusukela ngisemncane umama wangifundisa ukufunda iBhayibheli. Ngaleso...

Ngakwamukela Ukubuya KweNkosi

uQingxin, eMyanmar Abazali bami bobabili bangamaKristu futhi kusukela ebuncaneni bami ngaqala ukuya nabo enkonzweni ukuze ngithamele...

Livela Kuphi Leli Zwi

UShiyin, EChina Ngazalelwa emndenini wamaKristu, futhi nginezihlobo eziningi ezingabashumayeli. Kusukela ngesikhathi ngisemncane,...

Sithinte nge-Whatsapp