Yini umehluko obalulekile phakathi kukaNkulunkulu esimweni somuntu kanye nalabo bantu abasetshenziswa uNkulunkulu?

April 06, 2018

Yini umehluko obalulekile phakathi kukaNkulunkulu esimweni somuntu kanye nalabo bantu abasetshenziswa uNkulunkulu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Mina impela nginibhapathiza ngamanzi kube ngukuphenduka. kepha lowo oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe: yena uzonibhapathiza ngoMoya oNgcwele, nangomlilo” (Mathewu 3:11).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe ubuntu noma ubunkulunkulu Bakhe, kokubili kuthobela intando kaBaba osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. …

… UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezici ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inyama eyembethwe uMoya kaNkulunkulu yinyama kaNkulunkulu uqobo. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unamandla onke, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, inyama Yakhe nayo iphakeme, inamandla onke, ingcwele, futhi ilungile. Inyama enjalo ingenza kuphela lokho okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla; akakwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma emelene nobuqotho nobulungiswa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela inyama Yakhe ayikhohlakaliswa nguSathane; inyama Yakhe inengqikithi eyehlukile enyameni yomuntu. Ngoba ngumuntu, hhayi uNkulunkulu, okhohlakaliswa nguSathane; uSathane ngeke akwazi ukukhohlakalisa inyama kaNkulunkulu. Ngakho, nakuba umuntu noKristu bahlala endaweni efanayo, ngumuntu kuphela ongenwa, asetshenziswe, futhi abanjwe uSathane. Ngokwehlukile, uKristu akangenwa naphakade ukukhohlakala kukaSathane, ngoba uSathane ngeke aze akwazi ukukhuphukela endaweni ephezu kwakho konke, futhi ngeke aze akwazi ukusondela kuNkulunkulu. Namuhla, kufanele nonke niqonde ukuthi yisintu kuphela, esikhohlakaliswe nguSathane, esingikhaphelayo. Ukukhaphela akusoze kwaba yinkinga ebandakanya uKristu nakancane.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu osesimweni somuntu wehlukile kubantu abasetshenziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu kodwa abantu abasetshenziswa uNkulunkulu abakwazi. Ekuqaleni kwenkathi ngayinye, uMoya kaNkulunkulu ngokwawo wethula isikhathi esisha futhi adlulisele umuntu esiqalweni esisha. Uma eseqede ukukhuluma, lokhu kuveza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini sewenziwe. Emva kwalokho, bonke abantu balandela ukuhola kwalabo abasetshenziswa uNkulunkulu ukuze bangene ezimweni zabo zokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi ebuntwini obunomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kuyo yonke iminyaka eyedlule, abantu abasetshenziswe uNkulunkulu bonke bayakwazi ukucabanga ngendlela ejwayelekile. Bonke bayazazi izimiso zokuziphatha kwabantu. Banemiqondo yabantu ejwayelekile futhi banakho konke abantu abajwayelekile okumele babe nakho. Iningi labo linamathalente amangalisayo kanye nobuhlakani bokuzalwa. Ngokusebenza kulaba bantu, uMoya kaNkulunkulu usebenzisa amathalente abo, okuyizipho abaziphiwe uNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu usebenzisa amathalente abo, usebenzisa amandla abo ukusebenzela uNkulunkulu. Nokho ingqikithi kaNkulunkulu ayinayo imibono futhi ayinayo imicabango, ayidungiwe yizinhloso zabantu, futhi ayinakho lokhu abantu abavamile abanakho. Lokho kusho ukuthi, akaziqondi nezimiso zokuziphatha kwabantu. Kunjalo uma uNkulunkulu wanamuhla eza emhlabeni. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe awadungiwe yizinhloso zomuntu noma umcabango womuntu, kodwa kungukuvezwa okuqondile kwezinhloso zikaMoya, futhi usebenza ngokuqondile egameni likaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi uMoya ukhuluma ngokuqondile, okungukuthi, ubunkulunkulu benza umsebenzi ngokuqondile, ngaphandele kokuwuxuba nakancane nezinhloso zomuntu. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu osesimweni somuntu uqukethe ubunkulunkulu ngokuqondile, akanawo umcabango noma imiqondo yomuntu futhi akasiqondi isimiso sokuziphatha komuntu. Ukuba bekusebenza ubuNkulunkulu kuphela (okusho ukuthi ukuba nguNkulunkulu uqobo kuphela obesebenza), umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke wenzeke emhlabeni. Ngakho uma uNkulunkulu eza emhlabeni, kufanele abe nabantu abambalwa abasebenzisayo ukuze basebenze phakathi kwabantu ngokuhlanganisa nomsebenzi uNkulunkulu awenza ebunkulunkulwini. Ngamanye amazwi, usebenzisa umsebenzi womuntu ukwesekela umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu. Kungenjalo, bekungeke kube khona ndlela yokuthi umuntu athintane ngqo nomsebenzi wobunkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo uwumsebenzi kaMoya oNgcwele; awukho omunye umsebenzi wobuntu bukaNkulunkulu ngaphandle komsebenzi kaMoya oNgcwele. Umsebenzi wabantu abasetshenziswayo usewumsebenzi kaMoya oNgcwele. Wukuthi nje umsebenzi kaNkulunkulu uyisibonakaliso esigcwele sikaMoya oNgcwele, okuyiqiniso elimsulwa, kube umsebenzi wabantu usetshenziselwa ukuxutshaniswa nezinto zabantu eziningi, futhi akusikho ukubonakaliswa kukaMoya oNgcwele okuqondile, ngingasakubali ukubonakaliswa ngokugcwele. … Uma umsebenzi kaMoya oNgcwele usetshenziswa kubantu, iziphiwo zabo kanye namandla abo kuvela obala futhi akunakubuyiselwa emuva. Amandla abo eqiniso avezwa obala ukuze enze umsebenzi. Kungathiwa usebenza ngokusebenzisa izingxenye ezikhona kubantu ukuze akwazi ukufinyelela emiphumeleni yokusebenza. Ngokuphambene, umsebenzi owenziwa enyameni esesimweni somuntu ngowokuveza umsebenzi kaMoya ngokuqondile futhi uhlanganiswa nomqondo kanye nemicabango yomuntu, iziphiwo zomuntu okungefinyelele ke kuzo, lokho umuntu ake abhekana nakho noma isimo somuntu sangaphakathi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inkulumo yami imele ubumina, kodwa engikushoyo kungaphezu kokufinyelela komuntu. Engikushoyo akumele lokho umuntu abhekana nakho, futhi akusikho lokho okubonwa umuntu, kuphinde kube yinto umuntu angeke akwazi ukuyithinta, kodwa kuyilokho engiyikho. Abanye abantu bazisa ukuthi ngikhonza lokho engibhekane nakho, kodwa ababoni ukuthi lokho kuyisibonakaliso sikaMoya ngokuqondile. Nakanjani, engikushoyo yilokho engibhekane nakho. Yimi engenze umsebenzi wokuphatha eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha ezedlule. Ngibhekane nakho konke kusukela ekuqaleni kokudalwa kwabantu kuze kube manje; ngingakakwazi kanjani ukukhuluma ngakho pho? Uma kuziwa esimweni semvelo somuntu, ngikubone ngokucacile, futhi sesiside isikhathi ngikubhekile; ngihlala kanjani ngingakwazi ukukhuluma ngayo ngokucacile? Selokhu ngaqala ukubona ubunjalo bomuntu ngokucacile, ngifanelekile ukusola umuntu futhi ngimahlulele, ngoba bonke abantu bavela Kimi kodwa bakhohlakaliswe uSathane. Nakanjani, ngifanelekile nawukuhlola umsebenzi engiwenzile. Yize lo msebenzi ungenziwanga inyama Yami, uveza uMoya ngokuqondile, futhi yilokhu engikwenzile nengiyikho. Ngakho, ngifanelekile ukukuveza futhi ngenze umsebenzi okumele ngiwenze. Umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. Yilokho engikubonile, lokho imiqondo yabo ekwazi ukufinyelela kukho kanye nalokho imizwa yabo engakuzwa. Yilokho abangakwazi ukukukhonza. Amazwi akhulunywe uNkulunkulu esesimweni somuntu enyameni akuveza ngokuqondile ngoMoya futhi aveza umsebenzi owenziwe nguMoya. Inyama ayikabhekani futhi ayikakuboni, kodwa kusaveza ubuyena ngoba inyama iphila ngoMoya, futhi uveza umsebenzi kaMoya. Yize noma inyama yehluleka ukufinyelela kuwo, kuwumsebenzi osewenziwe nguMoya. Emuva kokuba sesimweni somuntu, ngokuveza kwenyama, wenza abantu bakwazi ukumazi uNkululunkulu uqobo futhi kuvumeleke ukuthi abantu babone isimo sikaNkulunkulu kanye nomsebenzi awenzile. Umsebenzi womuntu wenza abantu bacacelwe kabanzi ngalokho okumele bangene kukho kanye nalokho okumele bakuqonde; okubandakanya ukuholela abantu ekuqondeni nasekubhekaneni neqiniso. Umsebenzi womuntu wukuqhubekisa abantu; umsebenzi kaNkulunkulu ukuvula izindlela ezintsha kanye nokuvulela isintu izinkathi ezintsha, kanye nokudalulela abantu lokho okungaziwa abantu benyama, okwenza ukuthi bazi isimo Sakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu ukuhola sonke isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu akayena uNkulunkulu osenyameni, kanti futhi uNkulunkulu osenyameni akayena umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu; kulokho, kukhona umehluko esiqwini. … Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu. UNkulunkulu unesiqu sikaNkulunkulu, kanti umuntu unesiqu somuntu. Uma umuntu ethatha amazwi akhulunywe nguNkulunkulu njengokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, bese ethatha amazwi akhulunywe ngabaphostoli nabaphrofethi njengamazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uma kunjalo umuntu uyaphambuka.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp