Luvelaphi UNyazi LwaseMpumalanga?

January 17, 2021

Manje sisezinsukwini zokugcina, iziphrofetho zokubuya kweNkosi sezivele zigcwalisiwe, futhi izinkulungwane ngezinkulungwane zamakholwa amnene athemba ngokuzimisela ukubuya kweNkosi uJesu. Ngesikhathi esifanayo, nokho, uNyazi LwaseMpumalanga lumemezela ubufakazi balo bokuthi iNkosi uJesu ivele isibuyile ngokuba Kwayo sesimweni somuntu kwezinsuku zokugcina—uNkulunkulu uSomandla—nokuthi seyenze umsebenzi Wayo wokwahlulela kuqala ngomndeni kaNkulunkulu. Ukubonakala koNyazi LwaseMpumalanga kuzamazamise wonke umphakathi wezenkolo kanye nabo bonke labo abakholwa kuNkulunkulu ngobuqotho nabomele iqiniso. Ngokufuna nokuphenya amazwi kaNkulunkulu uSomandla, abantu abaningi baqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile, futhi beza ngamunye phambi kukaNkulunkulu uSomandla. Lokhu kwenze abefundisi nabadala bomphakathi wezenkolo nohulumeni weCCP bethuka futhi, ukuze bacindezele futhi babeke uNyazi LwaseMpumalanga amacala, abefundisi nabadala bomphakathi wezenkolo nohulumeni weCCP bayahlangana, bakhe amahemuhemu amaningi futhi balahle ngesihluku baphinde bathunaze uNyazi lwaseMpumalanga njengenkolo ephambene, futhi benza konke abangakwenza ukuphazamisa nokuhlukumeza amakholwa aqotho afuna ukufuna nokuphenya ukubonakala nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina. Kulezo zinsuku zokuqala, umphakathi wezenkolo yamaJuda wazisondelanisa nohulumeni wamaRoma nomlando wosizi lokucindezelwa ngonya kweNkosi uJesu wabuye waziphinda. Izindaba ziyehlukana nemibono iyahlukana ngokuthi ngabe uNyazi LwaseMpumalanga luwukubuya kweNkosi uJesu noma cha, nokuthi ngabe luwumsebenzi kaNkulunkulu noma cha; abanye abantu balandela ngemuva kwabefundisi nabadala bomhlaba wenkolo ekuphikeni nasekulahleni kwabo, kodwa kukhona abanye abakholwa ukuthi uNyazi LwaseMpumalanga luhlobene nesiphrofetho seNkosi uJesu eBhayibhelini esithi, “Njengoba nje umbani uvela empumalanga, futhi ukhanya ngisho nasentshonalanga; kuyoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Mathewu 24:27), nokuthi luhlobene nokuza kweNdodana yomuntu ezinsukwini zokugcina. Pho luvelaphi ngempela uNyazi LwaseMpumalanga, ngabe luwumsebenzi kaNkulunkulu, futhi luphethe ziphi izinhlobo zezimfihlakalo?

Bonke abaqonda umsebenzi kaNkulunkulu bayazi ukuthi umsebenzi Wakhe uhlala umusha futhi awumi nhlobo ekuqhubelekeni kwawo phambili. NjengaseNkathini Yomthetho lapho uNkulunkulu ayesebenza khona ngoMoya futhi wakhipha imithetho eyayizoqondisa izimpilo zabantu emhlabeni. Kwase kuthi, eNkathini Yomusa, uNkulunkulu waba sesimweni somuntu futhi wabonakala njengeNdodana yomuntu ukwenza umsebenzi Wakhe, elapha abagulayo futhi ekhipha amadimoni, enza izenzo eziningi ezimangalisayo futhi eveza indlela yokuthi “Phendukani: ngoba umbuso wezulu ususondele” (UMathewu: 4:17), ngaphambi kokubethelwa esiphambanweni nokuqeda umsebenzi Wakhe wokuhlenga sonke isintu. Kodwa ngenxa yokuthi abantu abawazi umsebenzi kaNkulunkulu, kanye nokuba nemvelo yokuzithwala nobusathane obunokuziqhayisa, futhi bonke bazibona belungile, belukhuni futhi benenkani, futhi babambelela emiqondweni nasemicabangweni, kuze kube seqophelweni lapho baze baguliswe yiqiniso futhi bazonde iqiniso, njalo lapho uNkulunkulu enza umsebenzi omusha, udinga ukuthi abhekane nokuhlambalazwa okunokudlebeleka, ukushushiswa nokulahlwa ngumphakathi wezenkolo nabasezikhundleni zokubusa. Labo abasabalalisa futhi bafakazele umsebenzi kaNkulunkulu omusha nabo bangananyekwa ngalo lonke uhlobo lwamacala namagama ajivazayo, kanye nokucindezelwa ngonya. Leli qiniso lilotshwe eTestamenteni eliSha: Ukuze asindise isintu engozini yokujeziselwa ukwephula imithetho ababengkwazi ukuyigcina, uNkulunkulu waba senyameni njengomfanekiso weNkosi uJesu futhi waqala umsebenzi wokuhlenga eNkathini Yomusa. Lapho iNkosi uJesu yenza umsebenzi Wayo eJudiya, yenza izenzo eziningi ezimangalisayo, yelapha abagulayo futhi yakhipha amadimoni, yanika umuntu umusa omningi futhi yakhuluma amaqiniso amaningi. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi iNkosi uJesu yayinguNkulunkulu uqobo Lwakhe nokuthi yayinguMesiya ama-Israyeli ayemlangezelele kakhulu. Nokho, abefundisi abakhulu bamaJuda, ababhali nabaFarisi babambelela ngenkani emiqondweni yenkolo futhi bavele benqaba ukukholwa ukuthi uJesu wayenguMesiya ababemlangazelele isikhathi eside kakhulu. Kunalokho, bafuna yonke indawo eBhayibhelini into ababengayisebenzisa ukuphikisa uJesu, babenyundela, behlulela futhi belahla umsebenzi weNkosi uJesu njengokuphambene (bheka izEnzo 24:14) futhi noJesu uqobo “enhloko yehlelo lamaNazaretha” (bheka izEnzo 24:5). Bakhohlisa futhi bagqugquela amaJuda ukuba alahle iNkosi uJesu, futhi bazibandakanya nohulumeni wamaRoma ekumbetheleni esiphambanweni. Ngakho-ke, sonke isizwe samaJuda sacasula isimo sikaNkulunkulu, futhi sehlelwa ukubhubha okwakungakaze kubonwe. Ngakho-ke kuyabonakala, ukuthi into elahlwe futhi yaphikiswa ngumphakathi wezenkolo nabasemandleni akusho lokho ukuthi ayilungile, ukuthi kungenzeka kakhulu ukuthi ivela kuNkulunkulu, nokuthi ingumsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho-ke, lapho ephenya ukuthi into ingumsebenzi kaNkulunkulu noma cha, umuntu akakwazi ukwenza lokho kwahlulela ngokukusekela ekuthini umphakathi wezenkolo nalabo abasemandleni bayakuvuma noma bayakwamukela noma cha. Siyabona kuyo yonke imisebenzi eyenziwe eNkathini Yomthetho naseNkathini Yomusa ukuthi, ukunquma ukuthi into ingumsebenzi kaNkulunkulu noma cha, kuncike kakhulu ekuthini okuvezwa yile ndlela kuyiqiniso noma cha, ukuthi kuyinto edingwa ngokuphuthumayo yisintu njengamanje noma cha, nokuthi ingumsebenzi kaMoya oNgcwele noma cha. Yile ndlela kuphela okungabonakala ngayo ngokwangempela ukuthi kungumsebenzi kaNkulunkulu noma cha—lokhu kubaluleke kakhulu.

Ezinsukwini zokugcina, isintu siya ngokuya sikhohlakala ngokujule kakhulu. Umuntu ngokuphelele ungaphansi kokulawula kwemvelo yakhe yobusathane, ekhohlakele, uhlala enza izono engahlosile, bonke bephila impilo lapho bona emini bese bevuma izono ngokuhlwa, futhi bephila ebuhlungwini obungabekezeleleki. Isintu siya ngokuya siqhela kuNkulunkulu, futhi ithemba laso lokuthola insindiso liya ngokuya lingacaci. Ukuze asindise umuntu kulesi simo sokona nokuvuma izono, ukuvuma izono nokona futhi, futhi ukuze balahle ngokuphelele isimo sabo sobusathane, esikhohlakele nezithiyo nezibopho zabo zokona futhi bahlanzwe bese bethola insindiso kaNkulunkulu, uNkulunkulu uphinde futhi waba yinyama ukuze aveze iqiniso futhi ahlulele isintu esikhohlakele, futhi wenza umsebenzi omusha ohlanza futhi usindise isintu ngokuphelele. Kulokhu, uNkulunkulu ube sesimweni somuntu eMpumalanga yomhlaba—eChina—ebonakala futhi enza umsebenzi Wakhe. Ubeke iNkathi Yomusa esiphethweni wayeseqala iNkathi Yombuso, ulethe amaqiniso aphakeme kakhudlwana, amaningi ngokwengeziwe kunoma ngasiphi isikhathi esedlule, wambule izimfihlakalo zayo yonke imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekudalweni komhlaba futhi unike umuntu wonke amaqiniso ayomhlanza futhi amsindise. Labo abamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina bayawaqonda amaqiniso amaningi asemazwini akhulunywa nguNkulunkulu uSomandla, babona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uSomandla okhuluma iqiniso ezinsukwini zokugcina ngempela uyiNkosi uJesu ebuyile, sebefinyelele ekubeni nolwazi olucacile lwemvelo yabo ekhohlakele nomsuka wezono zabo, bathole indlela yokuxazulula isimo sabo esinobusathane nesikhohlakele, futhi izinhliziyo zabo ziyakhanya futhi zicacile. Ngokubhekana nokwahlulela, ukusola, izilingo nokucwenga kwamazwi kaNkulunkulu, isimo sabo sokuphila sihlala siguquka, babona ithemba lensindiso, futhi banolwazi lwangempela lwengqikithi kaNkulunkulu elungile futhi engcwele nesimo Sakhe sokulunga futhi esingenakonakaliswa. Banokuqonda nokwazi okungokoqobo ngokwengeziwe kwalokhu uNkulunkulu anakho nayikho, njengokuba namandla onke kukaNkulunkulu , ukuhlakanipha negunya, futhi bonke bayakwazi ukubona ukuthi ukholo lwabo kuNkulunkulu aluyilo olungenalutho noma olungacacile, kodwa kunalokho luya ngokuya luba olungokoqobo. Bamuzwa ngempela uNkulunkulu ethandeka futhi enothando kakhulu, nokwenza babe nezinhliziyoezesaba uNkulunkulu, bafinyelela ekubeni nokumlalela kwangempela nokumcabangela uNkulunkulu, futhi bonke bayakwazisa ngokucacile ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina ngempela ungacwenga futhi usindise umuntu. Ezinsukwini zokugcina, isikhathi somsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokucwenga sifushane, isivinini sikhulu, njengokushaya kombani. Emashumini amabili eminyaka amafushane, ivangeli lombuso kaNkulunkulu lisabalale kulo lonke izwe laseChina futhi lenze iqembu labanqobi, futhi manje ivangeli likhula ngokushesha kuzo zonke izindawo kuzo zonke izizwe zomhlaba. Lokhu kugcwalisa ngokuqondile isiphrofetho seNkosi uJesu: “Njengoba nje umbani uvela empumalanga, futhi ukhanya ngisho nasentshonalanga; kuyoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Math 24:27)." Noma kunjalo, abefundisi nabadala bomphakathi wezenkolo babambelela ngenkani emiqondweni yenkolo futhi, bebhekene nomsebenzi omusha kaNkulunkulu ophikisana nemiqondo yomuntu, abagcini nje ngokungawufuni noma bawuphenye kuphela, bahosha iBhayibheli futhi balibheke amaphutha abangawasebenzisela ukuphikisana noNkulunkulu, bahlulela ngokunganaki futhi belahla umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina, futhi bethunaza iBandla LikaNkulunkulu USomandla “njengenkolo yoNyazi LwaseMpumalanga” njengenkolo ephambene. Iminyakazo nezenzo zabo zifana ngokuphelele nezabefundisi abakhulu bamaJuda, ababhali nabaFarisi lapho belahla iNkosi uJesu. Ukuthi bangadelela futhi bahlasele umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, futhi bavimbele abantu ekubukeni nasekulandeleni izinyathelo zikaNkulunkulu nasekulaleleni umsebenzi kaNkulunkulu, ingabe lokho akubenzi ngempela babe ngabaFarisi banamuhla abadelela futhi abalahla uKristu? Ingabe ingqikithi yezenzo zabo akuyona ezonda iqiniso nehlambalaza uMoya oNgcwele? Ukulahlwa ngesihluku ngumphakathi wezenkolo kokubonakala nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla nakho kugcwalisa ngokuphelele amazwi eNkosi uJesu lapho iphrofetha ngokubuya Kwayo: “Njengombani, okhanya engxenyeni ethize phansi kwezulu, ukhanya kwenye indawo ngaphansi kwezulu; izoba njalo futhi iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane” (Luka 17:24-25).

Ukube uNkulunkulu uSomandla akalikhulumanga izwi Lakhe futhi akazembulanga izimfihlakalo, besingeke sakuqonda ngempela lokho okushiwo yilesi siprofetho “NjengoNyazi oluvela empumalanga olukhanya ngisho nasentshonalanga, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu.” UNkulunkulu uSomandla uthi: “Lapho bonke abantu belalela, lapho zonke izinto ziba zintsha futhi zivuselelwa, lapho bonke abantu bezinikela kuNkulunkulu ngaphandle kokungabaza, futhi bezimisele ukuthwala umthwalo wemfanelo onzima womthwalo kaNkulunkulu—lokhu kuyisikhathi lapho umbani wasempumalanga uphazima, ukhanyisa konke kusuka eMpumalanga kuya eNtshonalanga, kwethuke wonke umhlaba ngokufika kwalokhu kukhanya; bese ngalo mzuzu, uNkulunkulu aphinde futhi aqale impilo Yakhe entsha. … Okusho ukuthi, eMpumalanga yomhlaba, kusuka lapho kuqala khona ubufakazi bukaNkulunkulu uqobo lwakhe, kuya lapho eqala khona ukusebenza, kuya lapho ubunkulunkulu buqala khona ukusebenzisa amandla okubusa emhlabeni wonke—lokhu kuwumsebe ovuthayo wombani wasempumalanga, olokhu ukhanye njalo kuwo wonke umhlaba. Lapho amazwe emhlabeni eba ngumbuso kaKristu yisikhathi wonke umhlaba ukhanyiswa. Manje yisikhathi lapho umbani uphazima khona: uNkulunkulu osesimweni somuntu uqala ukusebenza, bese, futhi, ekhuluma ngokuqondile ebunkulunkulwini. Kungashiwo ukuthi lapho uNkulunkulu eqala ukukhuluma emhlabeni yingenkathi umbani wasempumalanga ukhanya khona. Ngokuqonde kakhudlwana, lapho amanzi okuphila egobhoza esuka esihlalweni sobukhosi—lapho amazwi asuka esihlalweni sobukhosi eqala—yisikhathi esinembile sokuqala kwamazwi oMoya abayisikhombisa” (“Isahluko 12” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa onke amazwe namahlelo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami, kube sengathi kusanda kuzalwa umntwana. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga … Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla” (“Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Emazwini kaNkulunkulu uSomandla siyabona ukuthi umsebenzi nezwi lezinsuku zokugcina likaNkulunkulu kuwunyazi olukhanya luvela eMpumalanga. “UNyazi” ukukhanya okukhulu, okusho izwi likaNkulunkulu, indlela kaNkulunkulu yokwahlulela nokusola ezinsukwini zokugcina. Ibinzana lamagama athi “uvela empumalanga” lisho ukuvela eShayina, futhi elithi “okhanya ngisho nasentshonalanga” lisho ukufika eNtshonalanga. Ekugcineni, ukuthi “kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu.” kubhekise kuNkulunkulu eba yinyama futhi eqala ukuziveza ngokwakhe futhi eqala umsebenzi waKhe eShayina eMpumalanga. Lapho wenza iqembu labantu abamazi ngempela uNkulunkulu, futhi bangabanqobi njengoba kuprofethiwe encwadini yesAmbulo. Ngakho ngalaba bantu, ivangeli lezinsuku zokugcina lizosabalalela eNtshonalanga, ukuze bonke bathole insindiso kaNkulunkulu yezinsuku zokugcina. Lokhu sekufeziwe manje futhi kuyiqiniso elibonwa yibo bonke! UNyazi LwaseMpumalanga (okusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ngezinsuku zokugcina eShayina) lungasivumela ukuba sithole lonke uthando nensindiso uNkulunkulu ayinikeza abantu, lungasivumela ukuba sazi ubunjalo bangempela bukaNkulunkulu, futhi kuphakamisa kithina ukuhlonipha nokukhonza uNkulunkulu kwangempela. Njengokushaya koNyazi, izwi likaNkulunkulu linikeza umuntu ukukhanya nethemba. Bonke labo abamukela uNyazi waseMpumulanga—umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina—bangakufakazela bonke lokhu.

Manje, uma nifunda lokhu, ngiyakholwa ukuthi nonke ninempendulo ecacile embuzweni othi uyini umsuka woNyazi LwaseMpumalanga. UNkulunkulu unguMdali wamazulu nomhlaba nazo zonke izinto. Ngenxa yokuthi umuntu wakhohlakaliswa uSathane, uNkulunkulu waqala umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu. UNkulunkulu ufisa ukuba bonke abantu emhlabeni babone izenzo Zakhe, ukuze zonke izinkolo zizoba inkolo eyodwa, zidumise uMdali. Uzobe esenza ukuthi bonke labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu ngeqiniso futhi balandele ezinyathelweni Zakhe bazuze ubumsulwa futhi bathole insindiso. Uzothatha laba bantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu abafake embusweni ukuze baphumule naye. Ngakho, umfowethu nodadewethu ngamunye okholwa ngempela kuNkulunkulu futhi elinde ngokulangazelela ukubuya kweNkosi uJesu kufanele abeke eceleni imicabango yethu yenkolo afunde indlela yeqiniso. Ungalaleli amahemuhemu, aphikisa ngobumpumputhe indlela yeqiniso, ngoba lokho kuzokwenza ulahlekelwe yinsindiso kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Kufanele sihambisane nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, silandela izinyathelo zikaNkulunkulu eduzane. Le yiyona yodwa indlela esingathola ngayo insindiso Yakhe ekugcineni futhi silethwe nguNkulunkulu embusweni Wakhe.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp