Umuntu ngempela angaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile?

November 03, 2017

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo” (NgokukaJohane 16:12-13).

“Izimvu zami ziyalizwa izwi lami, futhi ngiyazazi, futhi ziyangilandela” (NgokukaJohane 10:27).

“Lowo onendlebe, makezwe lokho uMoya okusho emabandleni; Lowo onqobayo akasoze oniwa ukufa kwesibili” (IsAmbulo 2:7).

“Bheka, iNgonyama yesizwe sakwaJuda, impande kaDavide, iphumelele ukuvula incwadi, nokuvula izimpawu eziyisikhombisa” (IsAmbulo 5:5).

“Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, kusho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nesazoza, uMninimandla onke” (IsAmbulo 1:8).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. Isigaba ngasinye esisha somsebenzi kaNkulunkulu sihlala siletha ukuqala okusha nenkathi entsha. Ngakho-ke kanjalo kukhona ushintsho oluhambisanayo esimweni sikaNkulunkulu, endleleni Yakhe yokusebenza, endaweni yomsebenzi Wakhe, nasegameni Lakhe. Singama ngale ngokuthi kungani kunzima kumuntu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu enkathini entsha. Ngale kokuthi uphikiswa kanjani abantu, uNkulunkulu uhlale enza umsebenzi Wakhe, futhi uhlale eqondisa bonke abantu ebayisa phambili. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo kwehlukene noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo noma kunjalo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nenyama nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bawukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esesimweni somuntu kukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye wayengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye ungowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yilezi zizathu ezenze baphile emazweni ukuze benze umsebenzi okumele bobabili bawenze, nasezikhathini ezehlukene futhi. Ngaphandle kokuba Moya munye, banengqikithi eyodwa, akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, ekugcineni, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi, ububona Babo bonke buphethe uMoya Wabo, obahlukanisela umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, nenyama Yabo uyinike izinhlobo ezehlukene zegazi. UMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokusolwa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu; futhi ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukhona ukuba namandla onke kukaNkulunkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wesibili, ubonakala kubantu ungafani kakhulu nokaNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu kangangokuthi kusengathi akukho nokuncane kuyo okufanayo futhi akukho okwenziwa emsebenzini wokuqala okungabonakala kulesi sikhathi. Nakuba umsebenzi wenyama ethathe isimo somuntu yesibili uhlukile kunalowo weyokuqala, lokho akufakazi ukuthi umthombo wabo awuwodwa. Ukuthi umthombo Wabo uyafana yini, kuncike ekutheni uhlobo olunjani lomsebenzi owenziwe ngabantu abangokwenyama hhayi owenziwe yingaphandle Labo. Ngesikhathi sezigaba ezintathu zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu usebe sesimweni somuntu kabili, futhi kuzo zombili izikhathi umsebenzi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu uqala inkathi entsha, wethula umsebenzi omusha; ukuthatha umzimba womuntu kokubili kuyahambisana. Kuyinto engenakwenzeka ukuba amehlo omuntu abone ukuthi yomibili le mizimba empeleni ivela emthonjeni owodwa. Akubuzwa, kungaphezu kokubona komuntu noma ukucabanga komuntu. Kodwa engqikithini Yayo iyafana ngoba imisebenzi Yayo ivela kuMoya ofanayo. Ukuthi yomibili le mizimba ethathe isimo somuntu ivela emthonjeni ofanayo angeke kwahlulelwe ngesikhathi noma indawo ezalelwe kuyo, noma ezinye izinto ezifana nalezo, kodwa ngomsebenzi waphezulu obonakaliswe Yiyo. Umzimba othathe isimo somuntu wesibili awenzi nowodwa umsebenzi owenziwa nguJesu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nalokho okubonakala eningini njengokulungile, kodwa isikhathi ngasinye uvula indlela entsha. Umzimba wesibili awuhlosile ukujulisa noma ukuqinisa umthelela womzimba wokuqala ezingqondweni zabantu, kodwa ukuhambisana nawo nokuwuphelelisa ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lujule kubantu, nokuba ugqashule yonke imithetho esezinhliziyweni zabantu nokususa zonke izithombe eziyinkohliso ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Kungashiwo ukuthi asikho nesisodwa isigaba somsebenzi kaNkulunkulu uqobo esinganikeza umuntu ulwazi oluphelele Ngaye; isigaba ngasinye sinikeza ingxenye, hhayi lonke ulwazi Ngaye. Nakuba uNkulunkulu ezivezile isimo Sakhe ngokuphelele, ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu kunomkhawulo, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu lulokhu lungaphelele. Kuyinto engenakwenzeka, ngokusebenzisa ulimi lwabantu, ukuveza isimo sikaNkulunkulu sisonke; kungasaphathwa ukuthi kuncane kangakanani isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe esingakuveza ngoNkulunkulu ephelele? Usebenza esenyameni embozwe ubuntu Bakhe obujwayelekile, futhi umuntu angamazi kuphela ngezenzo zobunkulunkulu Bakhe kuphela, hhayi ngomzimba Wakhe obonakalayo. UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze avumele ukuba umuntu amazi ngemisebenzi Yakhe ehlukahlukene, futhi asikho isigaba somsebenzi Wakhe esifana nesinye. Yingale ndlela kuphela umuntu angaba khona nolwazi oluphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, hhayi ngokubopheleka engxenyeni eyodwa. Nakuba umsebenzi wemizimba emibili esesimweni somuntu ungafani, ingqikithi yale mizimba, nomthombo womsebenzi Wayo, kuyefana; ukuthi nje ikhona ukuze yenze izigaba ezimbili zomsebenzi ezehlukene futhi ibe sezinkathini ezimbili ezingafani. Akukhathaleki ukuthi kwenzekani, imizimba kaNkulunkulu esesimweni somuntu inengqikithi efanayo nomthombo ofanayo—leli yiqiniso elingenakuphikwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Manje, uNkulunkulu ufika ezokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuyiwo kuphela umzimba kaNkulunkulu wokuba senyameni kwesibili, kodwa futhi umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Uyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awukwazi ukubona into ehlukile kweyabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, futhi kuveza sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu asiqonde. Awukufisi kakhulu ukubona uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukuqonda uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo okungekho muntu oke wakwazi ukukutshela zona, futhi uzobuye akutshele amaqiniso ongawaqondi. Uyisango lakho lokungena embusweni, nomqondisi wakho ekungeneni enkathini entsha. Inyama ejwayeleke kanjalo iqukethe izimfihlakalo ezingenakwaziwa. Izenzo Zakhe zingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi awenzayo wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okukhonjiswa uNkulunkulu esintwini ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwenduku Yakhe yensimbi, ungezwa emazwini Akhe ulaka lukaNkulunkulu futhi wazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela uNkulunkulu anakho ngesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo kusuka ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo. Abantu abakaze baxhumane Nami futhi abakaze bangazi, bebelokhu bengasinakile isimo Sami semvelo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube namhlanje, akekho owake wangibona. Lona nguNkulunkulu obonakala kubantu phakathi nezinsuku zokugcina kodwa ofihlekile ebantwini. Uhlala ebantwini, uyiqiniso futhi ungokoqobo njengelanga elishisayo nomlilo ovutha amalangabi, onamandla nogcwaliswe ngegunya. Akekho noyedwa umuntu noma into engeke yahlulelwa ngamazwi Ami, futhi akekho noyedwa ongeke angacwengwa ngomlilo ovuthayo. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa yamazwi Ami, futhi ziyophihlizwa zibe yizicucu ngenxa yamazwi Ami. Ngaleyo ndlela, bonke abantu ngezinsuku zokugcina bayobona ukuthi nginguMsindisi obuyile, nginguNkulunkulu uMninimandla Onke onqobe sonke isintu, owake waba ngumnikelo wesono kubantu, kodwa ezinsukwini zokugcina ngiba nayimisebe yelanga eshisa zonke izinto, kanye nelanga lokulunga elambula izinto zonke. Lowo umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngithathe leli gama futhi nginalesi simo semvelo ukuze bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu olungile, futhi ngiyilanga elishisayo, nomlilo onamalangabi. Ukuze bonke bangidumise Mina Nkulunkulu weqiniso, babubone ubuso Bami bangempela: Angiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi angiyena nje uMhlengi—nginguNkulunkulu wayo yonke indalo emazulwini nasemhlabeni nasolwandle.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa onke amazwe namahlelo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Njengosana oluzelwe, bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi sengehlele “eNtabeni yemiNqumo” yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, hhayi njengeNdodana yamaJuda kodwa njengoMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu kungukuphelela kwentando Yami; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangethembe, bonke abantu babe ngaphansi Kwami!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Sithinte nge-Whatsapp