Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Izigaba Ezintathu Zomsebenzi | Okucashuniwe 6

October 01, 2020

Izigaba ezintathu zomsebenzi zisekujuleni kwenhliziyo yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, futhi kuzo kuvezwa isimo sikaNkulunkulu nalokho ayikho. Labo abangazi ngezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu usiveza kanjani isimo Sakhe, futhi ababazi ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, futhi baqhubeka nokungabi nalwazi ngezindlela eziningi asindisa ngazo isintu, kanye nentando Yakhe ngesintu sisonke. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuvezwa okuphelele komsebenzi wokusindisa isintu. Labo abangazazi izigaba ezintathu zomsebenzi bazohlala bengenalwazi ngezindlela nemiyalelo ehlukene yomsebenzi woMoya oNgcwele; labo ababambelela kakhulu kuphela emfundisweniemfundisweni esalayo esigabeni esisodwa somsebenzi ngabantu abakhawulisa uNkulunkulu emfundisweni, kanti ukholo lwabo kuNkulunkulu aluqondakali futhi alunasiqiniseko. Abantu abanjalo abasoze bathola insindiso kaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kuphela ezingaveza ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu sisonke, futhi ziveze ngokuphelele inhloso kaNkulunkulu yokusindisa isintu sisonke, kanye nenqubo yonke yokusindiswa kwesintu. Lokhu ubufakazi bokuthi usemhlulile uSathane waphinde wazuza isintu, kuwubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu, futhi kungukuvezwa kwesimo sikaNkulunkulu sisonke. Labo abaqonda isigaba esisodwa ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu bazi ingxenye kuphela yesimo sikaNkulunkulu. Ekucabangeni komuntu, kulula ukuthi lesi sigaba esisodwa somsebenzi siphenduke imfundiso, kuyabonakala ukuthi umuntu angamisa imigomo ngoNkulunkulu, futhi umuntu usebenzisa le ngxenye eyodwa yesimo sikaNkulunkulu njengokuthi imele isimo sikaNkulunkulu sisonke. Ngaphezu kwalokho, okuningi ukucabanga ngamehlo engqondo komuntu kuhlangene lapho, ngendlela yokuthi uyasikhawula ngokuqinile isimo, ubuyena, kanye nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nemiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, ngaphakathi kwemikhawulo enyinyekile, ekholelwa ukuthi uma uNkulunkulu wabe enje ngokunye, uzohlala enjalo sonke isikhathi, futhi ngeke aphinde ashintshe. Kuphela yilabo abaziyo futhi abazinanelayo izigaba ezintathu zomsebenzi abangamazi uNkulunkulu ngokuphelele futhi ngokuyikho. Okungenani, ngeke bamchaze uNkulunkulu njengoNkulunkulu wama-Israyeli, noma amaJuda, futhi ngeke bambone njengoNkulunkulu oyohlala ebethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu. Uma ufinyelela ekwazini uNkulunkulu kusukela esigabeni esisodwa somsebenzi Wakhe, ulwazi lwakho luncane kakhulu. Ulwazi lwakho luyiconsi olwandle. Uma kungenjalo, kungani abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila? Akungenxa yokuthi umuntu ufaka uNkulunkulu emikhawulweni ethile? Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abayibo yini abantu abangazi lutho futhi abanolwazi oluncane abancinyane, abazama nje ukukhombisa ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Laba bantu abanaso isizathu abangakhuluma ngaso! Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi?

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp