Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Ukuba Sesimweni Somuntu | Okucashuniwe 123

August 13, 2020

Umsebenzi Wakhe enyameni yiwona obaluleke kakhulu, okuyiwona okuvame ukubhekiswa kuwo uma kukhulunywa ngomsebenzi, futhi Lowo oyosonga lo msebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi uMoya. Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe ayifani yonke ingqikithi yomuntu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. Ngokwenza Kwakhe lo msebenzi mathupha kulo lonke iqembu labantu, uNkulunkulu osenyameni usebenzisa umsebenzi Wakhe ukumela umsebenzi waso sonke isintu, ngemva kwawo oya ngokuya wanda. Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi. UNkulunkulu osesimweni somuntu wanamuhla unguNkulunkulu owahlulela sonke isintu ezinsukwini zokugcina. Le nyama nomsebenzi Wakhe, nezwi kanye naso sonke isimo Sakhe, konke kungokwakhe. Nakuba umthamo womsebenzi wakho unomkhawulo, futhi ungabandakanyi indawo yonke ngokuqondile, ingqikithi yomsebenzi wokwahlulela iwukwahlulelwa ngokuqondile kwaso sonke isintu—hhayi ngenxa yabantu abakhethiweyo baseChina kuphela, noma ngenxa yabantu abambalwa. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu enyameni, nakuba umthamo womsebenzi ungabandakanyi indawo yonke, umela umsebenzi wendawo yonke, futhi ngemva kokuqeda umsebenzi osemthamweni wenyama Yakhe, lo msebenzi uyowusabalalisela ngokushesha endaweni yonke, ngendlela efanayo nalena ivangeli likaJesu elasabalala ngayo endaweni yonke ngemva kokuvuka nokunyukela ezulwini Kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi kungumsebenzi kaMoya noma wenyama, kuwumsebenzi ofezwa ngaphansi komthamo othile, kodwa omela umsebenzi wayo yonke indawo. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubonakala enza umsebenzi Wakhe esebenzisa ukubonakala Kwakhe okusamuntu, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu uyena owahlulela abantu esesihlalweni esimhlophe sobukhosi. Kungakhathaleki ukuthi unguNkulunkulu kaMoya noma wenyama, lowo owenza umsebenzi wokwahlulela unguNkulunkulu owahlulela isintu ngezinsuku zokugcina. Lokhu kuchazwa ngokusekelwa emsebenzini Wakhe, akuchazwa ngendlela abukeka ngayo ngaphandle noma kwezinye izinto eziningi. Nakuba umuntu enemicabango yakhe ngala mazwi, akekho ongaphikisana nokwahlulela kukaNkulunkulu osesimweni somuntu nokunqotshwa kwaso sonke isintu. Kungakhathaleki ukuthi umuntu ucabangani ngakho, amaqiniso ayohlale engamaqiniso. Akekho ongathi “Umsebenzi wenziwa uNkulunkulu, kodwa inyama ayiyena uNkulunkulu.” Umbhedo lowo, ngoba lo msebenzi awunakwenziwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Njengoba lo msebenzi usufeziwe, kulandelwa lo msebenzi, umsebenzi wokwahlulela ngeke usenziwa okwesibili; uNkulunkulu esesimweni somuntu okwesibili usewusonge wonke umsebenzi wokuphatha, kufanele kube nesigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu. Ngoba lowo owahlulelwayo ngumuntu, umuntu wenyama owonakalisiwe, hhayi umoya kaSathane owahlulelwa ngokuqondile, umsebenzi wokwahlulela awenziwa ezweni likaMoya kodwa phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp