Christian Music "Ubufakazi Bempilo" (Zulu Subtitles)

June 19, 2018

I

Ngelinye ilanga ngingase ngibanjwe futhi ngishushiswe yiCCP,

lokhu kuhlupheka kungenxa yokulunga, engikwaziyo enhliziyweni yami.

Uma ukuphila kwami kucisha njengenhlansi ngokuphazima kweso,

ngisayosho ngokuziqhenya ukuthi ngamukele uKristu wezinsuku zokugcina.

Uma ngingakwazi ukubona isigameko esikhulu sokwanda kwevangeli lombuso,

ngisayonikela izifiso ezinhle kakhulu.

Uma ngingakwazi ukubona usuku lokufezwa kombuso,

kodwa ngikwazi ukuhlaza uSathane namuhla, khona-ke inhliziyo yami iyogcwala injabulo nokuthula.

Amazwi kaNkulunkulu asabalala umhlaba wonke, ukukhanya kubonakele phakathi kwabantu.

Umbuso kaKristu uyaphakama futhi umiswa phakathi kobunzima.

Ubumyama sebuzokwedlula, intathakusa elungile ifikile.

Isikhathi nokoqobo kwethule ubufakazi ngoNkulunkulu.

II

Uma ngiba ngofela ukholo, futhi ngingasakwazi ukwethula ubufakazi ngoNkulunkulu,

ivangeli lombuso lisayosatshalaliswa njengomlilo ngamakholwa angenakubalwa.

Nakuba ngingazi ukuthi ngingayihamba ibanga elingakanani le ndlela emagudlugudlu,

ngisayonikela ngenhliziyo yami ethanda uNkulunkulu.

Sethula ubufakazi ngomsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina, senza intando Yakhe emhlabeni,

kuyintokozo yethu ukuzinikela ekusabalaliseni iqiniso.

Singadangaliswa ubunzima, njengegolide elimsulwa elenziwe ekhozeni,

ethonyeni likaSathane kuphuma iqembu lamasosha anqobileyo.

Amazwi kaNkulunkulu asabalala umhlaba wonke, ukukhanya kubonakele phakathi kwabantu.

Umbuso kaKristu uyaphakama futhi umiswa phakathi kobunzima.

Ubumyama sebuzokwedlula, intathakusa elungile ifikile.

Isikhathi nokoqobo kwethule ubufakazi ngoNkulunkulu.

III

kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp