Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Ukwazi Umsebenzi KaNkulunkulu | Okucashuniwe 141

September 05, 2020

Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kulezi zikhathi, esikhathini esiningi, ukwazi ukuthi iyini inkonzo esemqoka kaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, nokuthi uzokwenzani emhlabeni. Ngishilo ngaphambili emazwini ami ukuthi uNkulunkulu ufike emhlabeni (ngezinsuku zokugcina) ukuzokwenza isiboniso ngaphambi kokuthi ahambe. UNkulunkulu usenza kanjani lesi siboniso? Ngokukhuluma amazwi, ngokusebenza nokukhuluma ezweni lonke. Lo nguumsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina; Uyakhuluma kuphela, ukuze umhlaba ube ngumhlaba wamazwi, khona wonke umuntu ezohlinzekwa futhi akhanyiselwe ngamazwi akhe, futhi khona umoya womuntu uzophaphama futhi acacelwe ngemibono. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu osesimweni somuntu ufike emhlabeni ikakhulukazi ukuze akhulume amazwi. Lapho uJesu efika, wasabalalisa ivangeli lombuso wasezulwini, futhi wafeza umsebenzi wokuhlengwa ngokubethelwa. Waletha isiphetho seNkathi Yomthetho, futhi wachitha zonke izinto ezindala. Ukufika kukaJesu kwaqeda iNkathi Yomthetho futhi kwaletha iNkathi Yomusa. Ukufika kukaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina sekulethe isiphetho seNkathi Yomusa. Ufike ikakhulukazi ukuzokhuluma amazwi akhe, ukusebenzisa amazwi ukuphelelisa umuntu, ukukhanyisa nokukhanyisela umuntu, nokususa indawo kaNkulunkulu ongaqondakali enhliziyweni yomuntu. Lokhu akusona isigaba somsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi efika. Lapho uJesu efika, wenza izimpawu eziningi, wasindisa abagulayo futhi wakhipha amadimoni, futhi wenza umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa. Ngenxa yalokho, emicabangweni yakhe, umuntu ukholwa ukuthi uNkulunkulu kufanele abe njalo. Ngoba ngesikhathi uJesu efika, akawenzanga umsebenzi wokususa umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu; lapho efika, wabethelwa, wasindisa abagulayo waphinde wakhipha amadimoni, futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wasezulwini. Ohlangothini olulodwa, ukuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu ezinsukwini zokugcina kususa indawo ephethwe nguNkulunkulu ongacacile emicabangweni yabantu, ukuze ungabe usaba khona umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Ngamazwi nomsebenzi wakhe uqobo, ukuhamba Kwakhe kuzo zonke izindawo nomsebenzi ongokoqobo nojwayeleke ngokumangazayo awenza phakathi kwabantu, wenza ukuthi umuntu azi ubunjalo bukaNkulunkulu, futhi asuse indawo kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Kolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhulunywa inyama Yakhe ukwenza umuntu aphelele, nokufeza zonke izinto. Lona umsebenzi uNkulunkulu azowufeza ezinsukwini zokugcina.

Okufanele nikwazi:

1. Umsebenzi kaNkulunkulu awukho ngaphezu kwemvelo, futhi ningabi nemicabango ngawo.

2. Kufanele niqonde umsebenzi osemqoka uNkulunkulu osesimweni somuntu afike ukuzowenza ngalesi sikhathi.

Akafikanga ukuzosindisa abagulayo, noma ukukhipha amadimoni, noma ukuzokwenza izimpawuliso, futhi akezile ukuzosabalalisa ivangeli lokuphenduka, noma ukuhlenga umuntu. Yingoba uJesu usewenzile lo msebenzi, uNkulunkulu akawuphindi umsebenzi ofanayo. Namhlanje uNkulunkulu uze ukuzophetha iNkathi Yomusa futhi alahle lokhu kwenza kweNkathi Yomusa. UNkulunkulu ongokoqobo uze ikakhulukazi ukukhombisa ukuthi ukhona ngempela. Ngesikhathi uJesu efika, wakhuluma amazwi ambalwa; Ikakhulu wenza izimpawu, wenza izimpawu nezimangaliso, futhi wasindisa abagulayo wakhipha amadimoni, noma okunye wakhuluma iziphrofetho ukuze enze umuntu, akholwe futhi nokwenza umuntu ukuthi abone ukuthi wabe enguNkulunkulu ngempela futhi uNkulunkulu ozithibayo. Ekugcineni, wawuqedela umsebenzi Wakhe wokubethelwa. UNkulunkulu wanamhlanje akakhombisi izimpawu nezimangaliso, futhi akasindisi abagulayo aphinde akhiphe amadimoni. Ngesikhathi uJesu efika, umsebenzi awenza wawumele ingxenye eyodwa kaNkulunkulu, kodwa kulesi sikhathi uNkulunkulu ufike ukuzokwenza isigaba somsebenzi esisele, ngoba uNkulunkulu akawuphindi umsebenzi; unguNkulunkulu ohlale emusha ongakaze aguge, ngakho konke okubonayo namhlanje ngamazwi nomsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp