Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Isimo SikaNkulunkulu Nalokho Anakho Nayikho | Okucashuniwe 258

June 11, 2020

Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngaleya kokuqaphela, ulokhu ondliwa ngobumtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu. Njengazo zonke izinto, umuntu engazi uphila ngaphansi ngokuhlelela kwesandla sikaNkulunkulu. Inhliziyo nomoya womuntu kuphethwe esandleni sikaNkulunkulu, nakho konke ukuphila komuntu kubukwa amehlo kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyakukholwa noma awukukholwa lokhu, zonke izinto, eziphilayo noma ezifile, ziyogudluka, ziguquke, zenziwe zintsha futhi zinyamalale ngokuhambisana nemicabango kaNkulunkulu. Lena yindlela uNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto.

Njengoba ubusuku buqala isinyelela, umuntu akanakile, ngoba inhliziyo yomuntu ayikwazi ukubona indlela ubumnyama obusondela ngayo noma lapho buqhamuka khona. Njengoba ubusuku buphela kancane kancane, umuntu wamukela ukukhanya kosuku, kodwa akucaci kakhudlwana enhliziyweni yomuntu ukuthi ukukhanya kuvela kuphi nokuthi kubuxoshe kanjani ubumnyama basebusuku. Ukuguquguquka okunjalo okungapheli kwemini nobusuku kususa umuntu kwenye inkathi kumuse kwenye, kuhambise nezikhathi, kube futhi kuqikelela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu necebo lakhe kuyenziwa isikhathi ngasinye nangazo zonke izikhathi. Umuntu wedlula ezinkathini noNkulunkulu, kodwa umuntu akazi ukuthi uNkulunkulu ubusa zonke izinto eziphilayo noma akayazi indlela uNkulunkulu ahlela ngayo naqondisa ngayo zonke izinto. Yiyo le nto ebilokhu ihlula umuntu kusukela endulo kuze kube yimanje. Mayelana nembangela yalokho, akubangelwa ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zifihleke kakhulu, noma ukuthi yima luzofezeka uhlelo lukaNkulunkulu, kodwa kubangelwa ukuthi inhliziyo nomoya womuntu kuqhelelene kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, ngisho noma umuntu emlandela uNkulunkulu, ulokhu esebenzela uSathane noma yena engazi. Akekho ofuna ngenkuthalo ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuphila ekubakekelweni nokugcinwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe njengophawu lokubonga kuSathane futhi kuba okokusimamisa uSathane. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imigomo yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu aze umuntu angamfuni noma angamnaki uNkulunkulu. ngokuhamba kwesikhathi, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukuphikisa imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. … UNkulunkulu ulahlekelwa umuntu wendalo Yakhe yokuqala, futhi umuntu ulahlekelwa yimpande yesiqalo sakhe. Lolu usizi lwalesi sintu. Eqinisweni, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, uNkulunkulu wethule imbangalusizi esintwini lapho umuntu eyiqhawe futhi engumgilwa kuyo, futhi akekho owaziyo ukuthi ubani ongumqondisi wale mbangalusizi.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp