Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Ukubonakala KukaNkulunkulu Nomsebenzi Wakhe | Okucashuniwe 70

October 10, 2020

Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane. Umuntu unethemba lokuthi uMsindisi uzophinde enze umsebenzi wokukhulula awenza kumaJuda nokuthi uzoba nesihawu nothando kubantu, abathethelele izono zabo, athwale izono zabantu nazo zonke izeqo zabo futhi akhulule abantu esonweni. Balangazelela ukuthi uJesu uMsindisi afane nasekuqaleni—uMsindisi onothando, onobungani nohloniphekile, ongakaze amthukuthelele umuntu futhi ongakaze amsole. Lo Msindisi uthethelela futhi athwale zonke izono zomuntu, futhi aze afe esiphambanweni efela abantu. Njengoba uJesu ahamba, abafundi bakhe ababemlandela nabo bonke abangcwele ababesindisiwe balibonga igama Lakhe, bebelokhu bemlangazelele kakhulu futhi bemlindile. Bonke labo ababesindiswe ngomusa kaJesu Kristu phakathi neNkathi Yomusa bebelokhu belangazelele lolo suku lwenjabulo phakathi nezinsuku zokugcina, lapho uJesu uMsindisi efika ngefu elimhlophe futhi ebonakala kubantu. Empeleni, lesi yisifiso sabo bonke labo abamukela igama likaJesu uMsindisi namuhla. Kuyo yonke indawo, bonke labo abayaziyo insindiso kaJesu uMsindisi bebelokhu bekulindile ukufika kungazelelwe kukaJesu Kristu, ukuze kugcwaliswe amazwi kaJesu lapho esesemhlabeni: “Ngizofika ngendlela engihambe ngayo.” Umuntu ukholelwa ukuthi ngemva kokubethelwa novuko, uJesu wabuyela ezulwini ngefu elimhlophe, wabe esethola indawo Yakhe ngakwesokunene Sophezu Konke. Umuntu ucabanga ukuthi, ngokufanayo, uJesu uzophinde ehle ngefu elimhlophe (leli fu libhekisela efwini lelo uJesu anyuka ngalo lapho ebuyela ezulwini), phakathi kwalabo abebelokhu bemlinde ngokulangazela iminyaka eyizinkulungwane nokuthi uzoba nesithombe nezembatho zamaJuda. Ngemva kokuvela kubantu, uyobanika ukudla futhi enze amanzi okuphila ukuba agobhoze phambi kwabo futhi aphile nabantu, egcwele umusa nothando, ephila futhi engokoqobo. Njalo njalo. Nokho uJesu uMsindisi akazange akwenze lokhu; wenza okuphambene nalokho umuntu ayekucabanga. Akazange afike kulabo abebelokhu belinde ukubuya Kwakhe futhi akazange abonakale kubo bonke abantu njengoba ayegibele ifu elimhlophe. Usefikile, kodwa abantu abamazi, futhi bayaqhubeka bengamazi. Abantu bamane bamlinda ngokungenanhloso nje, bengaboni ukuthi usehlile ngefu elimhlophe (ifu eliwuMoya Wakhe, amazwi Akhe kanye nesimo semvelo Yakhe yonke nakho konke ayikho), manje usephakathi kweqembu labantu abangabanqobi azobakha phakathi nezinsuku zokugcina. Abantu abakwazi lokhu: Nakuba uMsindisi ongcwele uJesu egcwele uthando futhi ebakhonzile abantu, angasebenza kanjani “emathempelini” agcwele ukungcola nemimoya emibi? Nakuba umuntu elokhu elinde ukufika Kwakhe, angabonakala kanjani kulabo abadla inyama yabangalungile baphuze igazi labangalungile, bagqoke izingubo zabangalungile, abakholelwa Kuye kodwa bengamazi futhi abaqhubeka bemphanga? Abantu bazi kuphela ukuthi uJesu uMsindisi ugcwele uthando nobubele, futhi ungumnikelo wesono oyisihlawulelo. Kodwa umuntu akaqondi nakancane ukuthi Yena unguNkulunkulu Uqobo, ochichima ukulunga, ubukhosi, ulaka nesahlulelo, onegunya futhi abe nesithunzi. Nakuba kunjalo umuntu usakulangazelela futhi ukomele ukubuya koMkhululi, futhi ngisho noma Izulu linyakaza ngenxa yemithandazo yabantu, uJesu uMsindisi akabonakali kulabo abakholelwa Kuye kodwa bengamazi.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp