Christian Music | "Umthandazo Wabantu BakaNkulunkulu" | Music Video (Zulu Subtitles)

February 07, 2018

I

Abantu bakaNkulunkulu baphakanyiswe ngaphambi kwesihlalo Sakhe,

imithandazo eminingi ezinhliziyweni zabo.

UNkulunkulu ubusisa bonke ababuyela Kuyena;

bonke baphila ekukhanyeni.

Khulekela ukuthi Umoya oNgcwele akhanyise izwi likaNkulunkulu

ukuze sazi ngokugcwele intando kaNkulunkulu.

Sengathi bonke abantu bangathokozela izwi likaNkulunkulu

bese beza bezofuna ukumazi uNkulunkulu.

Sengathi uNkulunkulu angasinika umusa Wakhe omningi,

ukuze isimo sethu siguquke.

Sengathi uNkulunkulu angasiphelelisa

ukuze sibe nhliziyonye namqondo munye Naye.

Sengathi uNkulunkulu angasiqoqa

ukuze sikwazi ukuphelelisa umsebenzi wethu Kuye.

Sengathi Umoya oNgcwele angasihola nsuku zonke

ukuze sishumayele futhi sifakaze ngoNkulunkulu.

II

Sengathi abantu bonke bangazi okuhle kokubi,

balenze iqiniso.

Sengathi uNkulunkulu angajezisa abenzi bokubi

bese ibandla lakhe lingaphazamiseki.

Sengathi abantu bonke bangaveza uthando lweqiniso

kuNkulunkulu luzwakale lujabulisa futhi lumnandi.

Sengathi uNkulunkulu angasusa zonke izihibe

ukuze sikwazi ukunikela konke okwethu Kuye.

Sengathi uNkulunkulu angagcina izinhliziyo zethu

zimthanda, zingamshiyi.

Sengathi labo abamiswe nguNkulunkulu ngaphambilini

bangabuyela ebukhoneni Bakhe.

Sengathi abantu bonke bangahlabelela indumiso

kuNkulunkulu ofumane inkazimulo.

Sengathi uNkulunkulu angaba nabantu Bakhe,

asigcine siphila othandweni Lwakhe.

Sengathi uNkulunkulu angaba nabantu Bakhe,

asigcine siphila othandweni Lwakhe.

umthombo Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp